Sivubela Intuthuko Newspaper

Page 1

SIVUBELA Intuthuko

ADVERTISING: 067 920 8446 OKTHOBA 2020

ITheku nohlelo lokufukula osomabhizinisi abasafufusa

iKhasi 3

FACEBOOK: SIVUBELA INTUTHUKO

LIMAHHALA

SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Bagcwale irenke belwisana nokuhlukunyezwa kwabesibhuda

iKhasi 6

USHICILELO 53

Osekwenziwe yiMeya yaseMandeni ezinsukwini ezingu-365 yabekwa

iKhasi 6

Injabulo kumenyezelwa ukubuya kweye-PSL

iKhasi 8

UNgqonqoshe wezokuthutha uthembise ukuvula imigwaqo udaba ekhasini 3.

UNgqonqoshe wezokuThutha wezwelonke kanye nephini lakhe uMhlonishwa uDikeledi Magadzi bekanye noNgqongqoshe wezokuPhepha esiFundazwe uBheki Ntuli ngesikhathi kwethulwa uhlelo lwe Interchange Project eHammarsdale

KONKE KUSEZANDLENI ZAKHO

Ukulwisana nesifo iCovid-19

GCINA IBANGA ELINGU 1.5M KUYA 2M • DLALA INDIMA YAKHO • UHLALE UPHEPHILE

NGOKUBAMBISANA SINGAYINQOBA

I CORONAVIRUS


IKHASI 2

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

OKTHOBA 2020

Ukulandelwa kwemigomo yokulwa ne Covid-19 esigabeni sokuqala sikathaqa. Ukunyakaza okujwayelekile kwezwe sekuvuliwe, kodwa kukhona imigomo nemibandela yezokuphepha okumele ilandelwe ngaso sonke isikhathi. Le migomo elandelayo icashunwe kusomqulu ogunyaza ukuvulwa kwezwe esigabeni sokuqala.

Inani labantu abahambele izindawo ezithile akumele badlule ingxenye noma uhhafu wenani elimumathwa yileyo ndawo.

Emicimbini eyenzelwe ezindaweni ezivalekile ezingamumatha abantu abangu-500 kuvunyelwe kuphela abantu abangu-250.

Bangu- 500 abantu abavunyelwe emicimbini ebanjelwe ezindaweni ezivulelekile njengezinkundla zezemidlalo.

Isibalo sabantu abavunyelwe ukuhambela imingcwabo esabantu abangu-100, imilindelo ayikavunyelwa.

Izifonyo kumele zigqokwe ngaso sonke isikhathi ezindaweni zomphakathi, kuqinisekiswe ibanga phakathi kwabantu abasondelene.

Isikhathi sokuba ngaphandle sibuyekeziwe sisuswa phakathi kwamabili kuya kwihora le 04:00 ekuseni.

Ukudayiswa kotshwala ezindaweni ezigunyaziwe sekuvunyelwe kusuka ngoMsombuluko kuya ku lwesiHlanu kusuka ngehora le 09:00 ekuseni kuya kwelesi 17:00 ntambama.

Utshwala buvunyelwe ukuphuzelwa ezindaweni ezigunyaziwe, kuqinisekiswe ukugcina imithetho elawula ukuba uvanzi.

Wonke amahhovisi kamasipala ezezimali, abaqoqi mali kanye nawemibuzo ethinta ama-akhawunti azobe esebenza kulezi zikhathi ezilandelayo. Amahhovisi o-cashier: uMsombuluko kuya kulwesiHlanu kusuka ngehora lesi-08h00 kuya kwelesi-15h30 Wonke amahhovisi ezezimali ngaphandle kwawo-cashier: uMsombuluko kuya kulwesiHlanu kusuka ngehora le 08h00 ekuseni kuya kwele 16h00 ntambama Izimpelasonto namaholidi: Wonke amahhovisi avaliwe

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


OKTHOBA 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 3

uNgqongqoshe wezokuthutha uthembise ukuvula imigwaqo

UNgqonqoshe wezokuThutha wezwelonke kanye nephini lakhe uMhlonishwa uDikeledi Magadzi bekanye noNgqongqoshe wezokuPhepha esiFundazwe uBheki Ntuli ngesikhathi kwethulwa uhlelo lwe Interchange Project eHammarsdale MAGAYE CELE UNGQONGQOSHE wezokuThutha, eNingizimu Afrika, uMhlonishwa uFikile Mbalula usethule uhlelo olumqoka kakhulu lokulungiswa komgwaqo, iHammarsdale Interchange. Lokhu ukwenze ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni u-October ovele wahlonzwa njengenyanga yezokuThutha eNingizimu Afrika. Ubekade ekhashwa yiloyo oyiPhini lakhe kulo Mnyango, uMhlonishwa uDikeledi Magadzi. Omunye obehambisana naye nguMhlonishwa uBheki Ntuli yena onguNgqongqoshe woMnyango wezokuThutha, ezokuPhepha kanye nezokuXhumana esiFundazweni iKwaZulu Natal. UMhlonishwa uMbalula ngesikhathi ekhuluma lapha uveze ukuthi u-October

kulo nyaka bazowusebenzisela ukugxila kakhulu ekulungiseni imigwaqoo eminingi ekhona ezweni lonke. Uthe umkhankaso wabo wukuqinisekisa ukuthi yonke imigwaqo iba sesimweni esamukelekile nesiphephile ngaso sonke isikhathi. Uthe isiqubulo abasebenza ngaphansi kwaso kulo nyaka sithi: “Together Shaping The Future of Transport,” ngesiZulu okuhnyushwa ngokuthi : “Sindawonye sakha ikusasa elihle kwezokuThutha.” Ekhuluma lapha uthe: “Kule nyanga ka-October sihlose kakhulu ukuthi sikhumbuze abantu baseNingizimu Afrika ngokubaluleka kwezokuThutha ezweni lonke. Futhi sihlose kakhulu ukuthi sithole abantu abazosilekelela ekutheni siqinisekise ukuthi imboni yezokuThutha siyigcina ingephephile

futhi kuyimboni engambi neze eqolo.” UMhlonishwa uMbalula uphinde wadonsa ngendlebe abashayeli abazosebenzisa lo mgwaqo ukuba bangalinge nje benze iphutha lokuthi bashayele budlabha kuwona. Uthe ukulungiswa komgwaqo kuhlose ukuqinisekisa ukuphepha kubantu kanjalo nakubashayeli hhayi okunye okungale kwalokho. Echaza uthe: “Njengoba silungisa lo mgwaqo ngalokho asichazi khona ukuthi sesithi abasebenzisa lo magwaqo mabathole ithuba lokuba bagijime kuwona. Ukuwulungisa kwethu sihlose ngakho ukuqinisekisa ukuphepha kwabagibeli kanye nokuqinisekisa ukulungiswa kwengqalasizinda esiyisebenzisayo thina sonke mphakathi. Asifuni ukubona sekukho izixakaxaka kulo mgwaqo.” Uveze ukuthi kuningi kakhulu okuhle

okvelile kumphakathi wakule ndawo ngalolu hlelo oluphusile lokulungiswa kwalo mgwaqo. Uthe umphakathi yiwona ozuze kakhulu. Uveze ukuthi kuhlomule amabhizinisi endawo angu-16 akule ndawo. Angu-14 awo uthe okuhle wukuthi yilawo asafufusa. Wathi kunamalunga omphakathi angu246 aqashiwe njengezisebenzi. Uthe ifinyelela ku-R46,8 million isiyonke imali esetshenziselwe ukuholela izisebenzi zomphakathi. Okuhle uthe nezinkampani zabesifazane ezithole umsebenzi nazo zihlomulile kulo hlelo athe lubonakale luthela izithelo ezinhle kakhulu. Uthe ekuqasheni abesifazane nje kukodwa kugcine kubadle imali engu-R7,9 million. Nabantu abasha nabo uthe babaqashile.

ITheku nohlelo lokufukula osomabhizinisi abasafufusa MAGAYE CELE

UKHANSELA Mxolisi Kaunda oyiMeya yoMkhandlu weTheku okuyiwona osungule uhlelo lokulekelela osomabhzinisi abasafufusa olubizwa ngokuthi yi “Pitch My Business.”

KULOKOZA inhlansi yethemba kosomabhizinisi abancane ngokwesekwa wuMkhandlu weTheku. Uhlelo loMkhandlu weTheku olubizwa ngokuthi yi ‘Pitch My Business” yilona osomabhizinisi abancane abathi lubanikeza ithemba ngekusasa labo nokusebenzisana noMkhandlu weTheku. Lo mkhankaso obuhlose kakhulu ukufukula osomabhizinisi abancane abanentshisekelo enkulu yokungena kwezamabhizinisi ubukade wenzeka kwiDurban Busines Fair ebiseThekwini muva nje. Osomabhizinisi abasafufusa banikezwe ingqayizivele yethuba lokuba banikezele ngemiqondo abanayo yebhizinisi abafisa ukungena kulona. Abadle umhlanganiso bathole ukwesekwa okuvela kuMkhandlu weTheku oholwa nguKhansela Mxolisi Kaunda. Kuzokhumbuleka ukuthi lo

Mkhandlu ngaphambilini wake wakuveza ukuzibophezela kwawo ekufukuleni osomabhizinisi abasafufusa. “Lolu wuhlelo oluhle nolusho lukhulu kithina bosomabhizinisi abasafufusa. Nginethemba elikhulu lokuthi laba abakhethiwe bazothuthuka kakhulu. Okuyikhona okumqoka ngikholwa wukuthi yithuba elimqoka esilinikezwe nguMkhandlu weTheku,” kuchaza uSfiso Ngema ongomunye obengenele lolu hlelo. Bathathu osomabhizinisi abagcine benqobile kulolu hlelo oludonse izinsuku ezintathu. Kuhlalukile ukuthi bazothola ukwesekwa nguMkhandlu weTheku nangezinsiza ezimqoka zokusebenza kwamabhizinisi abakuwona. Bazothola nethuba lokuba bacijwe ngendlela efanele ukuze bezokhula babe ngosomabhizinisi abanolwazi olunzulu kulo mkhakha. Kuvelile nokuthi bazothola noxhaso oluvela kwabak-

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

waVodacom, yiBhange iThala bathole nokwesekwa okuvela kwabweDurban Chamber of Commerce. IMeya uKaunda ukuchaze njengento emqoka kakhulu ukulekelelwa kosomabhizinisi abasafufusa. Wathi bewuMkhandlu bazibophezele ekutheni kube khona abakwenzayo ngenhloso yokulekelela osomabhizinisi baseThekwini abasakhula. Ngalolu suku kubuye kwabhungwa kabanzi ngokubaluleka kokuqinisekisa ukuhlengwa kwamabhizinisi kulesi sikhathi esibucayi kangaka sokuzika komnotho okubangelwe ukuhlasela kobhubhane lweCorona. Phakathi kwezinye zezikhulumi ebeziboshelwe kulo nyaka kubalwa usaziwo ophinde abe ngusomabhizinisi uDj Sbu Leope, uLindo Makhaye onguMqondisi weLusizo IT Solutions kanye nabanye abaniningi.


IKHASI 4

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

OKTHOBA 2020

Bakhunjuzwe ngokugcina imigomo yeCorona

Osesithombeni uMnuz Brain Dube wenhlangano 1#Million shoes MAGAYE CELE LOYO osabambe njengeMeya yaKwaDukuza uKhansela, Dolly Govender usekhumbuze amalunga omphakathi aKwaDukuza, oGwini olusenyakatho yeKwaZulu Natal ngemigomo emqoka yokulwa nokusabalala mawala kwegciwane, iCorona. UKhansela uGovender ubekade ekhuluma emcimbini omqoka wokunikezelwa ngosizo lwesizo lwezicathulo kubafundi abantulayo. Lo mcimbi bewuhlelwe yinhlangano engenzi nzuzo enohlelo elubizwa ngokuthi yi-1 Million Schools Campaign. Bangu-500 sebebonke abafundi abahlomule ngezicathulo kulolu

hlelo. Lo mcimbi ubukade uqhubeka ehholo lomphakathi laKwaDukuza. Ekhuluma lapha uKhansela Govender uthe: “Impi yokulwisana nobhubhane lweCorona alukapheli futhi kubukeka lusekude ukuphela. Uma ngase lesi sifo singabuya ihlandla lesibili kungavalwa ngehlahla kubantu baseNingizimu Afrika. Uma singaqhubeki nokulandela imigomo emqoka ebekiwe nguhulumeni.” UKhansela Govender uphinde wancoma kakhulu le nhlangano engenzi nzuzo ngeqhaza layo elibonakalayo ekuthuthukisweni komphakathi waKwaDukuza namaphethelo. Uchaze umsebenzi wale nhlangano njengosobala nolekelela aban-

uSodolobha wakwaDukuza u Khansela Dolly Govender Kanye noSomlomo uNkk Phumlile Zulu ngesikhathi bemukelisa ngezicathulo tu abaningi. Uthe: “Siyakuncoma kakhulu ukusebenza kwenu ngokuzikhandla kanye nokuzinikela kwenu kukhulu enikukhombisa ezinganeni zethu ezifunda isikole. Uthando enilukhombisa kubantwana bethu lukhulu futhi luyamangaza.” I#1 MillionShoes yinhlangano engenzi nzuzo ehlose kakhulu ukweseka abafundi abavela emakhaya ahlwempu. Inxusa laseChina elizinze ePitoli yilona eliqinisekisile ukuthi lo mkhankaso omqoka uyaphumelela. Le nhlangano iphinde icele abantu ukuba baphonse itshe esivivaneni ngenhloso yokuqhuba lo mkhankaso. Lokhu ikwenza isebenzisa izinkundla ezahlukene zokuxhumana. Lolu hlelo

luhlomulisa lezo zikole ezifanelekile nezihlonziwe, kulezi ziFundazwe ezilandelayo. Kuba yiLimpompo, KwaZulu Natal, Gauteng kanye nase-Eastern Cape. UMnu Brian Dube wale nhlangano ubonge wanconcoza kuMasipala waKwaDukuza ngokusebenzisana okuhle. Ekhuluma lapha uMnu Dube uthe: “Sibonga kakhulu uMasipala waKwaDukuza ngokuvuma ukusebenzisana nathi kulo mkhankaso. Futhi siyaqonda ukuthi lokhu kuyinhloso yethu sonke ukuqinisekisa ukuthuthukiswa komphakathi esikuwona. Siyathemba ukuthi ngelinye ilanga siyobuya sesizokwenza okuthe xaxa kunalokhu esikwenzile namhlanje.”

Livulwe ngokusemthethweni oluzohlolela umdlavuza

Esithombeni kungesikhathi kuvulwa ngokusemthethweni ukuhlolela umdlavuza KwiLembe MAGAYE CELE UMNYANGO wezokuThuthukiswa koMphakathi, eNingizimu Afrika uhambele enkundleni yeZemidlalo, iThembeni, kwisiFunda, iLembe muva nje. Lo Mnyango ufike lapha uholwa yiloyo oyiPhini lawo kuzwelonke, uMhlon-

ishwa uHandrietta Zulu. Kuhlalukile ukuthi inhloso enkulu yalolu hambo bekungukuzokwethula uhlelo olumqoka olwethiwe elokuthi “yi-ThePinkDrive. Lo Mnyango ufike lapha ukhashwa yiminyango eyehlukene kanjano nezinhlangano ezingenzi nzuzo nazo azisalanga ngaphandle. Uhlelo i-ThePinkDrive

luhlose kakhulu ukuyohlolela umdlavuza webele kanye nezinye izinhlobo zomdlavuza. Isiqubulo salolu hlelo sithi: “Early Detection Saves Lives.” Kuphinde kube khona nenhlangano engenzi nzuzo eyaziwa ngelePinkDrive NGO. UMhlonishwa uZulu uvele umatasa ngenhloso yokusabalalisa lolu hlelo aluchaza njengolumqoka kuzona zonke izindawo ezikhona KwaZulu Natal. Ngesikhathi uMhlonishwa uZulu efika enkundleni yeZemidlalo, iThembeni ubehambisana naloyo oyiPhini kwiLembe, uKhansela Dolly Shandu, yiloyo osabambe njengeMeya yaKwaDukuza, uKhansela Dolly Govender, wuSomlomo wesiFunda, uNkk Phumlile Zulu kanye neNkosi yesiZwe saMaThembu. Lolu hlelo luqale ngokuthi kube khona isithangami esimqoka ebesichaza kabanzi ngenhloso enkulu yalolu hlelo. Lesi sithangami besikade siqhubeka eLuthuli Museum. Ngemuva kwalokho kube sekunikezwa amalunga omphakthi abeseThembeni, ithuba lokuba nawo

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

abuze. Ekhuluma lapha uMhlonishwa uZulu uchaze lolu hlelo njengolumqoka kakhulu. Uhlelo i-ThePinkDrive alupheleli nje kuphela KwaZulu Natal kwazise luyakapakela nakwezinye iziFundazwe ezikhona eNingizimu Afrika. Bheka nje ngoba kwisiFundazwe iNothern Cape lolu hlelo lwaze lwafinyelela nasezikoleni zakhona. Kwaze kwahlolwa abafana kanye namantombazane umdlavuza abafinyelela kwisibalo esingu-105. Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka owedlule i-ThePinkDrive yasabalala yaze yafinyelela kubantu abangu-2000 ezweni lonke. Ziningi nezinkampani esezikhombise intshisekelo enkulu yokweseka lolu hlelo. Enye yazo yiBidvest Group eyayeseka ngonyaka ka-2012. Ngokocwaningo lwangonyaka owedlule kwavela ukuthi bagcina bengu-58 364 sebebonke abantu besifazane abathola ukufundiseka kahle ngomdlavuza webele. Bese beba ngu-45 912 abesifazane abathola ukuhlolwa bhusende. Ase eba ngu-4618 amammograms anikelelwa abesifazane.


OKTHOBA 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Bagcwale irenke belwisana nokuhlukunyezwa kwabesibhuda

INTATHELI YEPHEPHANDABA IZINHLAKA zikaHulumeni ngokubambisana nosomabhizinisi baseNdwedwe bagcwale irenke yaseBhamshela izolo behamba bengena itekisi ngayinye, bexoxa nabedlulayo, abazothenga nabawosomabhizinisi abafufusayo bexoxa nabo ngechilo lokuhlukunyezwa kwabesimame, izingane nababuthaka. Bebehla

benyuka emgwaqweni, bekhuza lomhlola, bephethe nezingqwembe ezinemiyalezo ekhuza ulaka, nokuthe besuka babe bengena ezimotweni ngqo bebingelela abashayeli nabagibeli bebaqwashisa nangalesi sihlava. Baphinde bahambela abadayisi abanamatafula bebapha izipho zokubajabulisa okukhona kuzo namaPPEs. Kubuye kwakhishwa negrosa kwaphiwa abadala abaphethe amakhaya nabadonsa

kanzinyana kunabanye. Le Peaceful Walk ibihlelwe ngokuhlanganyela yiminyango nezinhlaka zikaHulumeni phakathi kwazo obekukhona uMasipala waseNdwedwe emnyangweni wakwaSocial Cohesion, DSD, SAPS, Community Safety, Cogta nezinye izinhlaka zamabhizinisi njengeSiqalokuhle Taxi Association nabanye.

IKHASI 5

Unxusa intsha ukuba isukume izithathe “Ngiyanxusa ukuba intsha isukume yenze okuthile ingathembeli kuhulumeni izame amabhizinisi ukuze ikwazi ukuziphilisa”

Ihalaliselwe nxa zonke i-radio Khwezi igubha iminyaka ewu-25 isemoyeni Usomabhizinisi osafufusa uPraywell Dawood waseCinci owakha lezinqola udinga usizo THABANI MAPHUMULO

UMNU Phakamani Mkhwanazi osophikweni lwezokuthengisa nezokuxhumana eRadio Khwezi noMnu Daniel Wunderich ongumphathisiteshi. TSEPO MOLEFE KUTUSWE iqhaza labasakazi beRadio Khwezi abalibambe ekulapheni ngokukamoya imiphefumulo yabantu baKwaZulu-Natal selokhu lo msakazo waba semoyeni iminyaka engu-25 emuva kokusungulwa nguMfu Erlo Stegen oyingqalabutho yaKwaSizabantu Mission. Abaphathi beRadio Khwezi esakaza ku-90.7-107.7 FM mhlaka 2 September bebenze indumezulu yomcimbi wokugubha le minyaka umsakazo usemoyeni ekomkhulu lawo elisemishini yakhona KwaSizabantu eKranskop. Ekhulumela isiteshi uMnu Daniel Wunderich ongumphathi uthe miningi imisakazo esungulwayo kodwa iphelele endleleni kodwa iKhwezi lilokhu libe yinkanyezi yokusa kubantu. Ubonge lo msakazo ngokudlulisa ezikamoya kuban-

tu ababuthaka asebegcine bemndeni munye nalo msakazo. “Namhlanje sibonga abalaleli beKhwezi abalokhu behambe nathi yonke le minyaka kuhlanganisa nethimba likaMasibumbane. Uma ngibuka izinguquko ezenzekile ekukhuliseni iKhwezi ngingekhohlwe ukubonga iKwaSizabantu Mission ngaphansi kobuholi bukaMfu Stegen owaba nombono ngalo msakazo njengoba elokhu eseseke njalo esikhulekela kulo msebenzi kaNkulunkulu. Ngibonga nani basakazi beKhwezi ngokuzikhandla ngokwakha ubungani nabalaleli bomsakazo lokho osekwenze naba mndeni munye nabo,” usho kanje. UMnu Michael Ngubane oyiphini lomphathisiteshi ubonge ubufakazi babantu abaphulukiswe yiRadio Khwezi abese belahle ithemba ngempilo. “Kunomunye umlaleli owasuka eNewcastle ezobonga lapha esiteshini ngoba wayesenqume

UMFU Erlo Stegen ongumqali weRadio Khwezi yaKwaSizabantu Mission. ukuthatha impilo yakhe eseyozibulala. Uma efika la emsakazweni lo mlaleli wathi wayesehlele kahle ngokuthi uyazibulala eseyiphethe intambo yokuzikhunga kodwa ngenxa yokuthi wayekwenza lokho evule iRadio Khwezi kwaba sengathi umsakazi owayengemva kombhobho uyambona ukuthi ufuna ukwenzani wamkhuza. Lowo mlaleli wamukela iVangeli likaNkulunkulu ngenxa yeRadio Khwezi wasinda nasekufeni,” kusho uMnu Ngubane. UMfu Bongani Zondi ukhumbule la bephuma khona kwakuqalwa iRadio Khwezi ethi beqala ukusakaza kulesi siteshi izinhlelo eziningi zazisaqoshwa kusukela kwelezingane iSakh’ ithempeli. Ubongele nemiphefumulo esisindile nokwakheka kwemizi eminingi ebisibhidlika kodwa ngokuvela kwenkanyezi yokusa iRadio Khwezi yaphila.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

USOMABHIZINISI osafufusa wasaMdungandlovu eCinci KwesakaMthethwa enyakatho nelikaMthaniya uPraywell Dawood (31) unxusa intsha ukuba isukume izithathe yenze okuthile ukuzama ukudala amathuba omsebenzi. Le nsizwa inebhizinisi lokwakha izinqola ezithwala izimpahla ezahlukene, Kanti ezinye iyazibolekisa. “Ngiyanxusa ukuba intsha isukume yenze okuthile ingathembeli kuhulumeni izame amabhizinisi ukuze ikwazi ukuziphilisa,” kusho Dawood. Nakuba lensizwa izisebenza kodwa ulwazi yaluncela kulowo eyayimsebenzela ngaphambili. “Nami bengisebenza kumlungu ngimenzela zona lezinqola yilapho engancela khona ulwazi ngabe sengiqalela okwami. Ngeke siphile ngokusebenzela abantu kumele siziqalele okwethu,” esho. Izibalo zabangasebenzi kuleli zikhombisa ukunyuka kakhulu kanti intsha iyona ehamba phambili kulezibalo. UDawood uphinde wakhuluma ngenselelo abhekene nayo njengoba leli bhizinisi lidinga izinsimbi ukuze akwazi ukuqhuba umsebenzi. “Izinselelo zikhona ebhizinisini nami ngiyaludinga usizo, ngiyafisa noma ubani ongaba nosizo aphonse isandla ukuze likwazi ukusimama ibhizinisi,” kuphetha UDawood.


IKHASI 6

OKTHOBA 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Mandeni news Osekwenziwe yiMeya yaseMandeni ezinsukwini ezingu-365 yabekwa.

UKHANSELA Thabani Mdlalose osekuphele unyaka angena kwesokuba yiMeya yaseMandeni. MAGAYE CELE NJENGOBA sekuhlangene unyaka wonke, uKhansela Thabani Mdlalose abekwa njengeMeya yoMkhandlu waseMandeni lokho kukodwa nje kusho uzinzo kulo Mkhandlu. Ziningi izinto ezihlabahlosile esezenziwe yilo Mkhandlu ngaphansi kobuholi bukaMdlalose. Iphephandaba, iSivubela Intuthuko libuyekeza imisebenzi aseyenzile kusukela ebekiwe kulesi sihlalo. Nokho lizokha nje phezulu. UBUDLELWANE BOMKHANDLU NABAKWASASOL Ngaphansi koboholi bukaKhansela Thabani Mdlalose lo Mkhandlu ukwazile ukwakha ubudlelwano obahlukene.

Obunye babo nobube mqoka kakhulu yilobo obebuhlanganisa lo Mkhandlu nesikhondlakhondla senkampani yakwaSasol. Ngesikhathi iMeya inenkulumo ekhethekile naleli phephandaba yakubeka kwacaca ukuthi lobu budlelwane kumele nakanjani buhlomulise zona zombili izinhlangothi. Eqhuba wathi kulokoza inhlansi yethemba ngalobu budlelwano. Wakugcizelela ukuthi abantu abasha baseMandeni yibona abangahlomula kakhulu uma le nkampani ingagcina seyivula amathuba omsebenzi kule ndawo. Echaza wathi: “Okuyikhona okuseqhulwini ukuqinisekisa ukuthi abakwaSasol bayasibona isidingo sokuthi kube khona abakwenzela umphakathi wakule ndawo. Uma kunjalo sizozuza okukhulu kule ndawo. Ngikholwa wukuthi nayo iSasol ingazuza okukhulu ngokusebenzisana nathi.” UMnu Mdunge oyisiKhulu esiphezulu sakwaSasol, wathembisa ukuthi bazoqhubeka nokusebenzisana noMasipala waseMandeni. Wathi uyethemba ukuthi lobu budlelwane buzothela izithelo. Ngalo lolu suku iSasol yanikezela ngamalitres angu-2000 amaSinitizers ngenhloso yokulekelela lo Mkhandlu ekulweni neCorona. UMASIPALA WASEMANDENI NOHLELO OLUHLABAHLOSILE LOKUFUKULA OSOMABHIZINISI ABASAFUFUSA BAKULE NDAWO. Ngenxa yokuzika komnotho mawala okwaholela ekutheni kukhahlamezeke amabhizinisi amancane, uMkhandlu waseMandeni wathatha isinqumo sokuba ufukule osomabhizinisi bakule ndawo. Wethule uhlelo olwethiwe elokuthi

ESITHOMBENI kwakungesikhathin kwethulwa uhlelo IYEP

UKUPHENDULWA KWESOYI LWEYEP LO Mkhandlu uphinde waphendula isoyi wethula ngokusemthethweni uhlelo iMandeni Youth Enterprise Park (YEP). Nalo lolu hlelo lwethulwe ngoba luvunyelwe nguyena uKhansela uMdlalose. Inhloso yalo ukuvumela abantu abasha abanentshisekelo yezamabhizinisi ukuba bathole izindawo zokudayisa khona eMandeni bakwazi nokuziphilisa bona nemindeni yabo. Abantu abasha bakule ndawo bazwakalisa ukuluthakasela kakhulu lolu hlelo.

UMKHANKASO WOKULWA NOKUHLUKUNYEZWA KWABESIFANE KANYE NOWOKUNQOBA ICORONA. Kuwona lo nyaka uKhansela Mdlalose uke wanxusa ukuba ke kuhlanganwe kukhulekelwe ukudlanga kwesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. Kuloyo mkhuleko owawusesakhiweni samaWeseli esiseRed Hill, wamema amalunga amabandla ukuba ahlanganyele naye kulo mkhuleko. Ekhuluma lapha wakuchaza njengechilo uqobo ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. Waphonsela nabaholi bezeNkolo inselelo yokuba nabo kube khona abakwenzayo ngenhloso yokunqoba leli dimoni. Omunye wabefundisi owayekhona lapha, uMfu Olga Dlamini wakuchaza njen-

UHLELO ISOCIAL DISTANCING CAMPAIGN LOLU hlelo lwaluqhutshwa wuPhiko lwezokuXhumana kulo Mkhandlu. Inhloso yalo mkhankaso kwakungukugqugquzela umphakathi waseMandeni ngokubaluleka kokuqhelelana ngenhloso yokugwema ukusabalala kalula kokhuvethe. Lo Mkhandlu kuzokhumbuleka ukuthi ubuwenza konke okusemandleni awo ngenhloso yokuqikekela ukuthi iCorona ayihaqi abantu abaningi kule ndawo, usebenze ngokuzikhandla ngesikhathi izwe lisesigabeni sesine kanye nesesihlanu.

UMEYA UKhansela Thabani Mdlalose ngesikhathi esemkhulekweni wokunxusela ukuphepha kwabesifazane kanye nokululama kwalabo abahaqwe yiCorona.

UHlelo lokunakekelwa kwabaswele.

Ngomhlaka-13 NoVember lo Mkhandlu ngokubambisana nabakwaSassa bahlinzeka ngokudla imindeni engu-113 ngaphansi kohlelo i-ICrop Programme. Lo mcimbi wokunikizelwa ngokudla kubantu wawuseMhlubulweni Sports Field kuWard 2.

gento emqoka kakhulu ukusebenzisana phakathi koMkhandlu kanye nabefundisi. Ngenhloso yokubhekana ngqo neCorona, uKhansela Mdlalose wathi oLwezine bazoba wusuku oluzosetshenziselwa ukukhulekela lesi sifo naye esike samhaqa kodwa wagcina ewuphonsile umbalane.

yiMayoral Covid 19 Social Relief. UKhansela Mdlalose wakubeka kwacaca ukuthi ngalolu hlelo olumqoka kangaka bahlose ukuphonsa itshe esivivaneni ngenhloso yokufukula amabhizinisi aseMandeni akhahlamezekile ngesikhathi seCorona. Lolu hlelo lwalungakhethi iphela emasini njengoba lalugunyaza bonke osomabhizinisi baseMandeni ukuba bafake izicelo. Osomabhizinisi abagxile kakhulu kweZolimo kanye nakwezokuVakasha nabo banxuswa ukuba bangasali ngaphandle. UMeya uMdlalose wakuveza ukuthi labo abazophumelela kulesi sicelo bayohlomula ngesamba semali esingu-R50 000 esivela kuMkhandlu waseMandeni. Kungagcini lapho baphinde balekelelwe nangezinsizakusebenza eziwumgogodla wamabhizinisi abakuwona.

Ngomhlaka-13 NoVember lo Mkhandlu ngokubambisana nabakwaSassa bahlinzeka ngokudla imindeni engu-113 ngaphansi kohlelo i-ICrop Programme. Lo mcimbi wokunikizelwa ngokudla kubantu wawuseMhlubulweni Sports Field kuWard 2.

UBUDLELWANO Phakathi koMkhandlu waseMandeni nabakwaSasol bethulwa ngokusemthethweni.

UMkhankaso wokuhlanza iMandeni. Eminye yemikhankaso emqoka kakhulu ebonakele kuloMkhandlu ezinsukwini ezingu-365 zeMeya kube euhlelo olubizwa ngokuthi yi”Keep Mandeni Clean Campaign.”Lolu hlelo lwethulwa ngokusemthethweni ngoFebruary walonyaka .Kubonakale amaKhansela, yiziphathimandle kanye nabaholi bomphakathi befingqa imikhono beqinisekisa ukuthi iMandeni iba yindawo ehlanzekile. Njalo ngoLwesihlanu bekuphunywa kuyiwa emigwaqeni nasezindaweni zomphakathi kuqinisekiswa ukuthi kuyakhucululwa.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


OKTHOBA 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Kuhlomula izikole zaseMgungundlovu ngezincwadi

KUSUKELA kwesokunxele nguMnu Lolo Gumede, uMnu Mzimkhulu Thebolla, uNkk Dorothy Fenner umphathi waseBerg Street Primary noMnu Mandla Ntombela.

TSEPO MOLEFE SISHAYELWE izandla isenzo sabe-Quali Books engenye yezinkampani ezinkulu ezisabalalisa izincwadi zokufunda sokunikela ngezincwadi ezikole ezintathu zaseMgungundlovu ukuze abafundi bakleze kogwansile ngolwazi. Izikole ezihlomule ngezincwadi lapha ezibiza uR60 000 yiBerg Street Primary, Mountain Rise Primary ne-Ashdwon Primary okuhloswe ukuba abafundi bagqugquzeleke ekufundeni futhi kube uthando kubona. Ukunikelelwa kwalezi

zikole ngezincwadi bekuzinyaziswe yiMeya yaseMsunduzi uMnu Mzimkhulu Thebolla noMnu Mandla Ntombela oyisikhulu esiphezulu saseBessie Head Library engaphansi kukaMasipala waseMsunduzi. Ekhuluma lapha uMnu Lolo Gumede onguMqondisi waseQuali Books uthe ngalokhu kunikela ngezincwadi kubafundi bazokhuthaza usiko lokufunda ezinganeni nokuthi kube samdlalo kuzona ukufunda ukuze zihlale zinothile ngolwazi olungaba usizo ekukhuleni kwazo nasekuhlahleni indlela ecacile yokuphila. “Inhloso yethu ngukunikela ngezincwadi ezingafika kuR1.5 million kuyona yonke

iNingizimu Afrika. Siyethemba ukuthi lezi ncwadi esinikela ngazo zizoba usizo olukhulu kubafundi. Kuyintokozo kithina ukubona izikole zivule izandla zamukela umnikelo wethu ngoba ngaphandle kwabafundi ngabe neQuali Books yinto engaziwa endimeni yabezincwadi,” ubeke kanje. Ekhuluma egameni likaMasipala waseMsunduzi uMnu Thebolla uthe bayathobeka ngokumenyelwa emcimbini wabe Quali Books wokunikela ngezincwadi ezikoleni zaseMsunduzi. “Sibonga kakhulu ngokuphonsa itshe esivivaneni sabeQuali Books futhi sithemba ukuthi lo mnikela abawenzayo uzobamba iqhaza elikhulu ekwakhiweni kwesizwe esivulekile kwezemfundo. Singekhohlwe ukubonga kwabeBessie Head abahlezi beqinisekisa ukukhuthaza usiko lokufundisa ezinganeni kuhlanganisa nohlelo lwe-Spelling Bee. Namhlanje singofakazi ngesikubonayo ukuthi baningi abantu abazimisele ngemfundo njengalokhu kunikelelwa ngezincwadi ngabe-Quali Books,” usho kanje. UMnu Ntombela ukhuthaze abazali ukuthi mababe ngemuva kwezingane zabo bafake uthando lokufunda kuzona. Uthe izingane zidinga ukukhuthazwa ukuba zibe ngabangani bezincwadi futhi kube usiko mpilo ukufunda. Kuzona zontathu lezi kole kube sekutshalwa izihlahla ebezinikelwe nguMnyango WezoLimo, Amahlathi Nokudoba njengohlelo lokukhuthaza uthando lwemvelo kubantu.

OkaNomkhubulwana uphonsa inselelo emacikweni ngezinkondlo

IZINTOMBI nto ebezihambele umgidi kaNomkhubulwana eMgungundlovu.

TSEPO MOLEFE USIHLALO weNomkhubulwana Cultural Group uDkt Nomagugu Ngobese uphonsele inselelo izimbongi ngokuphila lokho ezisuke zicikoza ngakho ikakhulukazi uma zikhuza ukuhlukunyezwa kwabantu kanye nokugcina amasiko ukuze lokho ezisuke zikusho kuzwakale kahle kuphuma kumuntu oyiphilayo leyonto. Lokhu ukuveze emcimbini obungempelasonto edlule eHopewell eMgungun-

dlovu lapho izintombi nto bezinomgidi weNkosazane uNomkhubulwano kuzobongwa isivuno sanyakenye zabe sezicela enkosazaneni ukuba ilethe isibusiso enhlabathini ukuze ukudla kube yinala nonyaka. UDkt Ngobese ubonge imizamo yamaciko yokuphonsa itshe esivivaneni ngokucikoza ngalokho okuhle abakutshalayo kokuzigcina kwabantu abasha ikakhulukazi amantombazane. “Siye sizwe osonkondlo bekukhuthaza ukuzigcina kwamantombazane kodwa asizwa ngokukhuthaza ukuzigcina kwabafana. Besingakujabule-

la ukubabona osonkondlo ikakhulukazi besilisa benezigcawu lapho bekhulisa abafana ngezindlela ezinhle. Mabathi behaya lezi nkondlo zabo kube ngukuthi nabo kukhona abalekelela ngakho kungabi ngukuziphila ngento abangayiqondi nabo,” usho kanje. Intombi nto enguSonhlalakahle eMnyangweni WezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal uNkz Busisiwe Memela (35) wase-Underberg ebiphakathi kwezintombi ebezihambele lo mgidi ithi kayinamahloni ngokuzigcina ize ibe naleminyaka. Le mbali yakoGambu ikhuthaze ozakwabo ehamba nabo uMkhosi woMhlanga ukuba mabafunde ukulinda ngoba izinto ezinhle zifika ngesikhathi sazo. “Ngeke ngiwuphoqe umendo uma ungangifici futhi ngeke ngiphatheke kabi. Ngifisa ukuthi uma kwenzeka ngingena emshadweni kube ngukuthi ngimhlophe lokho sengikufundisa nezingane lezi ezisencane esihamba nazo kule ndlela. Kumnandi ukukhula wazi ukuthi uhlanzekile futhi uba nokuzethemba kukhona konke okwenzayo nabazali baba nethemba ngawe nokuthi kababi nalo uvalo uma ungekho ekhaya ngoba bayazi ukuthi ungumuntu ophila kanjani futhi owaziyo nomzimba wakhe,” usho kanje.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 7

SIVUBELA Intuthuko ITHIMBA LEPHEPHA >> UMHLELI MAKHOSI MNGOMA makhosi@sivubelaintuthuko.co.za 083 618 4252

NOKULUNGA MAJOLA Info@sivubelaintuthuko.co.za 072 1792 255

>> INTATHELI YEZEMIDLALO THABANI MAPHUMULO trmaphumulo@gmail.com 063 278 3658

>> GRAPHIC DESIGNER AND LAYOUT LINDA MAZIBUKO trusouth1@gmail.com 076 4847 269

SANELISIWE NGEMA Info@sivubelaintuthuko.co.za 067 920 8446 SKHUMBUZO NZUZA info@sivubelaintuthuko.co.za 067 9208 446 IWEBSITE YETHU www.sivubelaintuthuko.co.za sivubela intuthuko @sivubela intuthuko sivubelaintuthuko B 33 Ten Acre Thembeni Groutville, P.O Box 4473, Stanger 4450, 270 Stamford Hill Road Unit 1 Morningside, Durban, 4000 UMA UFUNA UKUKHANGISA KULELIPHEPHANDABA , SHAYELA 067 920 8446 / 083 618 4252


IKHASI 8

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

OKTHOBA 2020

Sivubela Intuthuko

EZEMIDLALO Umgadli ukhonjwe indlela ku-Arrows

Injabulo kumenyezelwa ukubuya kweye-PSL

ULerato Lamola okhonjwe indlela yiGolden Arrows THABANI MAPHUMULO INHLOKO ihlukene nesixhanti phakathi kweqembu iLamontville Golden Arrows Kanye nomgadli uLerato Lamola. ULamola wafika kuleli qembu laBafana Bes’thende ngoNtulikazi ngonyaka ka2016 esuka kuBloemfontein Celtic. Lo mdlali oneminyaka engama-34 ubesedlale imidlalo ayi-128 wahlohla amagoli angama-25 kuleli qembu laKwaZulu Natal. Nakuba kungacaci ukuthi lomdlali uyakuphi kulesizini ezoqala kodwa amava akhe okuhlohla amagoli Kubukeka ezosheshe alithole

ikhaya elisha.“Ngishiyile ku-Arrows okwamanje angikazi ngizoya kuphi mahlampe ngizoya ekhaya. Inkontileka yami iphelile ngitshelwe ukuthi umqeqeshi ungifake ohlwini labadlali abazochithwa. “Ngibatshelile akunankinga ngizohamba ngomoya wokuthula okwamanje alikho iqembu ebelisangifuna mhlampe ngokuhamba kwesikhathi likhona elizoqhamuka.” kusho Lamola. Leli qembu kuvela nezindaba zokuthi lingase lishiywe umgadli osemncane ozakhele igama kuMultiChoice Diski Challenge (MDC) uSibusiso Sibeko.

USihlalo wePremier Soccer League (PSL) uDkt. Irvin Khoza THABANI MAPHUMULO USIHLALO wePremier Soccer League (PSL) uDkt. Irvin Khoza umemezele ukuthi izoqala mhla zi-17 kuMfumfu imidlalo yomqhudelwano weMTN 8 ,Kanti imidlalo yeDStv Premiership yona iqale mhla zingama-24 kuMfumfu. Ubhubhane lomkhuhlane uKhovethe

lube nomthelela omkhulu ekutheni kubambezeleke ukuqala kwesizini entsha njengoba nesizini ka-2019/20 iphothulwe sekwedlule isikhathi negcine inqotshwe yiMamelodi Sundowns. Kuzokhumbuleka ukuthi iPSL ibihlele ukuthi lemidlalo iqale mhla ziyishiyagalolunye kuMfumfu kodwa ngenxa yekhalenda leFIFA eliqala mhla ziyi-7 Kuya ku-15 kuMfumfu kwaphoqeleka ukuba kuhlelwe olunye usuku. Nakuba usuku lwangomhla-17 kuMfumfu selumenyezelwe kodwa uDkt. Khoza uveze ukuthi basazoqhubeka nokusebenzisana noMnyango wezeMpilo njengoba besalindele nokukhipha izindleko zokuhlanganyela endaweni ephephile ngenkathi kuqedelwa imidlalo (Bio-Bubble). Ekhuluma nabezindaba USihlalo uphinde waveza ukuthi umqhudelwano owaziwa ngeTelkom Knockout Cup ngeke ubekhona kulesizini ka-2020/21 njengoba abaxhasi okuwuTelkom behoxile. Lo mqhudelwano ugcine unqotshwe yiMamelodi Sundowns ehlule iMaritzburg United ngamagoli amabili kwelilodwa. Lokhu kuchaza ukuthi mibili imiqhudelwano esele okuyiNedbank Cup Kanye neMTN 8. Ubhubhane lomkhuhlane uKhovethe kubukeka kuyilona olube yimbangela yokuhoxa kwabaxhasi kwazise izinkampani eziningi zishayekile ngenxa yalomkhuhlane.

Ingcindezi kozovala esika-Mosimane THABANI MAPHUMULO

UManqoba Mngqithi okubhekeke ukuthi athathe izintambo zokuqeqesha iDowns

KUBUKEKA ezothwala kanzima umqeqeshi ozothatha izintambo emva kokwesula isigubhuka saleli qembu uPitso Mosimane. UMosimane uhambe kuleli qembu emva kokuqopha umlando ngokunqoba izicoco ezintathu kulesizini. Lo Mqeqeshi obesehlale iminyaka eyisishigalombili naleli qembu kuvela ukuthi ulibhekise eGibhithe ukuyoqeqesha i-Al Ahly ethathwa njengezinkunzi ezwenikazi i-Afrika.“Ngifisa ukudlulisa okukhulu ukubonga ngokwesekwa umengameli waleli qembu uPatrice Motsepe.

Kunzima ukwamukela kwabaningi kodwa ngithi ngiyohlezi ngilithanda leli qembu,” kusho isitatimende esikhishwe UMosimane. Ngakolunye uhlangothi kubhekwe ukuthi lowo obeyisekela lakhe uManqoa Mngqithi Kube uyena othatha izintambo zokuqeqesha leli qembu. Njengoba kuvela ukuthi uMosimane angase ahambe nesekela lakhe uRhulani Mokwena. Umengameli waleli qembu uMotsepe ukhiphe isitatimende ehalalisela lomqeqeshi. USihlalo wePremier Soccer League (PSL) uDkt. Irvin Kho ekhuluma nabezindaba uveze ukuthi bahoxile abaxhasi okuyiTelkom Knockout.

031 828 0433 / 082 597 6669

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.