Sivubela Intuthuko Newspaper

Page 1

SIVUBELA Intuthuko

ADVERTISING: 067 920 8446 MEYI 2021

FACEBOOK: SIVUBELA INTUTHUKO

SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

LIMAHHALA USHICILELO 61

Isabelo mali esihlongozwayo ngonyaka ka2021/22 UZikalala weseka umsebenzi wabeKZN Climate Change and Sustainable Development Council

iKhasi 2

Thola inkonyane leSishayamthetho ngaphakathi

UMasipala nohlelo lokufukula imboni

Uthi makaqale azinze kuqala uBenny ngaphambi kokuba ajoyine elesizwe

iKhasi 8

yezokuvakasha

udaba ekhasini 3.

IMeya yeTheku, uKhansela uMxolisi Kaunda seyichaze lolu hlelo njengoluzoba yisikhali esimqoka esizosetshenziswa yilo Mkhandlu ngenhloso yokubuyisa uzinzo embonini yezokuVakasha.


IKHASI 2

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

MEYI 2021

UZikalala weseka umsebenzi wabeKZN Climate Change and Sustainable Development Council

UMNU SIHLE Zikalala uNdunankulu waKwaZulu-Natal.

UMNU Ravi Pillay uNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha, nezeMvelo KwaZulu-Natal.

“Ukubhekelwa kwezinsiza kusebenza ezintsha zesimanjemanje kumele kuqinisekiswe ukuthi kuza namathuba amasha azothuthukisa amakhono abantu nokugcina imvelo ingathikamezekanga”. TSEPO MOTLOKA UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnu Sihle Zikalala uthi uma ingathathelwa phezulu eyokuguquguquka kwesimo sezulu kusenesikhathi isifundazwe sizozithola sibhekene nengwadla kwezomnotho okufana nokuye kwenzeka njengoba kubheduke iCOVID-19 emhlabeni okugcine kukhinyabezeka umnotho emhlabeni wonke. UMnu Zikalala uthe eyokuguquguquka kwesimo sezulu idinga ukubukwa ngokujulileyo ngoba kuthinta zonke izinhlaka ezisimamisa umnotho ukuze izwe lithuthuke. Ubekhuluma engq-

ungqutheleni yeKZN Climate Change and Sustainable Development Council. Le ngqungquthela yesifundazwe ebiseNkosi Albert Luthuli Convention Centre eThekwini beyihanjelwe nguNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha, nezeMvelo KwaZulu-Natal uMnu Ravi Pillay, izimeya zezifunda, abamele imikhakha yezamabhizinisi ngokuhlukana kwayo nabaholi bomdabu esifundazweni. UKhuzeni uthe okwesimo sezulu esingazinzile kuphoqa ukuthi kukhona konke ekwenziwayo kuqinisekiswe ukuthi kuvikelwa lokho okungamagugu okungathikameza imvelo. Ubalule ukunukubezeka

komoya njengenye yembangela yokuguquguquka kwesimo sezulu okugcina kuphazamiseka izinto eziningi. “Ukubhekelwa kwezinzisa kusebenza ezintsha zesimanjemanje kumele kuqinisekiswe ukuthi kuza namathuba amasha azothuthukisa amakhono abantu nokugcina imvelo ingathikamezekanga. Lokhu kuhlangana kwethu kanjena kulandela esasinakho ngo-2019 lapho kwaphakanyiswa ezinye zezinto okumele kusetshenzwe phansi kwazo ukuhlenga imvelo ekuguquguqukeni kwesimo sezulu ukuze singazitholi sihlwempu kwezomnotho siyisifundazwe,” usho kanje. UMnu Pillay unxuse isifundazwe ukuthi

masibambane silwe nesimo sezulu senze njengoba senza kwakuzanywa ukutholwa ikhambi lokudambisa igciwane lesandulela ngulazi okwagcina kusungulwe iKwaZulu-Natal Provincial Aids Council. “Kuzosisiza ukuthi izifunda zisebenze ngokuzikhandla futhi zibike njalo ngezinhlelo ezinazo zokubheka isimo sezulu zengoba zazenza kwi-AIDS Council. Lokho kuzosisiza ngokuthi sibone ukuthi izinhlelo zethu zihamba kanjani nokuthi likhona yini ushintsho ngezinhlelo esinazo. Lokho kuyokwenza umsebenzi wethimba ubonakale ukuthi ubalulekile ngoba kuzobe kukhona okuphathekayo okwenziwayo,” usho kanje.

ABEZEMVELO KZN Wildlife’s baxwayisa umphakathi ngamaqili TSEPO MOTLOKA ABEZEMVELO KZN Wildlife’s baxwayisa umphakathi waKwaZulu-Natal ngokuqaphela izigilamkhuba ezizenzela imali ngokufaka izikhangiso ezingekho zemisebenzi ezithi ikhishwa ngabalesi siqiwi bese zifuna izizumbulu zemali kubantu abafaka izicelo. UMnu Musa Mntambo okhulumela iKZN ezeMvelo Wildlife ukhiphe isitatimende kwabezindaba ecela ukubambisana nabo ekuxwayiseni umphakathi ngamaqola

asebenzisa le nhlangano ukuzenzela imali. AbezeMvelo bathi imisebenzi yabo imahhala ngakho kakukhokhiswa muntu ukufaka isicelo. Bathi kayikho imisebenzi ekhangiswa yibona ezinkundleni zokuxhumana kodwa basebenzisa izindlela ezifanelekile okungamaphephandaba ne-website yabo. AbezeMvelo bafaka lesi sixwayiso kulandela isikhangiso obekuthiwa ngesabo semisebenzi ebesijikeleza ezinkundleni zokuxhumana lapho bekunxuswa abantu ukufaka izicelo emisebenzini ebivulekile kulesi siqiwi

kusukela kuma-field rangers nama-tour guides. Le misebenzi bekungenwa kuyona ngokuthi ofake isicelo akhokhe uR4800 wokuqeqeshwa. Bekubhalwe ukuthi kuxhunywane noMnu SS Ndzabe obekunenombolo yakhe uma kudingwa imininingwane ngalezi zikhala. UMnu Mntambo uthe kabamazi lo mnumzane obhalwe ngenhla futhi bona baba nohlelo lwabo olucacile lokuhlunga abantu ukungena emisebenzini ebalwe ngenhla. Uthe uma sebebahlungile abantu bayahanjiswa bayoqeqeshelwa umsebenzi ngezindleko

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

zabezeMvelo kakukhishwa nesenti kulo msebenzi. Uthe abantu mababe mehlo made ngamaqili asebenzisa igama labo ukuzinothisa ngendlela engamukelekile. Ucele abantu ukuxhumana nabo uma kukhona okusolisayo abakubonayo ukuze basheshe basizakale. Uthe kayikho imisebenzi yabo ebuzwa ngezinombolo zomakhalekhukhwini kodwa basebenzisa eyasehhovisini elikhulu eliseMgungundlovu eqala ngo-033 hhayi ekamakhalekhukhwini.


MEYI 2021

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 3

UMasipala nohlelo lokufukula imboni yezokuvakasha MAGAYE CELE

IMeya yeTheku, uKhansela uMxolisi Kaunda seyichaze lolu hlelo njengoluzoba yisikhali esimqoka esizosetshenziswa yilo Mkhandlu ngenhloso yokubuyisa uzinzo embonini yezokuVakasha.

UMKHANDLU weTheku uzosebenzisa uhlelo olubizwa ngokuthi yiBusiness Retention and Expansion Programme ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi iyadlondlobala imboni yezokuVakasha kuleli Dolobha. Lezi zindaba ziqinisekiswe yiMeya yalo Mkhandlu, uKhansela Mxolisi Kaunda. Ubekade egeqa amagula ekhuluma kabanzi ngezinhlelo ezihlabahlosile lo Mkhandlu onazo ezimayelana nokufukulwa kwemboni yezokuVakasha ekhahlanyezwe kakhulu ukuzika komnotho okubangelwe ukuvumbuka kokhuvethe lweCorona isigubhukane. IMeya yeTheku, uKhansela uMxolisi Kaunda seyichaze lolu hlelo njengoluzoba yisikhali esimqoka kakhulu esizosetshenziswa yilo Mkhandlu ngenhloso yokubuyisa uzinzo embonini yezokuVakasha ayichaza njengemqoka kakhulu. “Siyathembisa ukuthi sizokwenza konke okusemandleni njengoMkhandlu weTheku ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi imboni yezokuVaksha ibuyela esimweni esejwayelekile. Yingakho nje sesize sasungla lolu hlelo iBusiness Renteion ngoba sihlose khona ukufukula le

mboni,’’echaza. UMeya uKhansela Kaunda ubekade ekhuluma emhlanganweni omqoka wokukhuliswa kwezamabhizinisi obizwa ngokuthi yiTourism Businwss Retention and Expansion (BR and E). UMeya ulimise ngesihloko elokuthi ibonakala icace nje bha indlela eya ekufukulweni kwale mboni ayichaza njengowumgogodla omkhulu wokukhula komnotho weDolobha iTheku. “Angeke size silenze nje iphutha lokuthi sithule sigoqe izandla. Kunalokho sizokwenza ngakho konke okusemandleni ethu njengoMkhandlu ukuqinisekisa ukuthi imboni yezokuVaksha iba neqhaza ekufukulweni komnotho weDolobha, iTheku,”echaza. UMeya udalule ukuthi sezikhona vele izinhlelo ezihlabahlosile lo Mkhandlu osuzenzile ngenhloso yokulekela imboni yezokuVakasha. “Ayikho into emqoka ngaphezulu kokuba neDolobha elinomnotho ozinzile. Ukuze lokho kwenzeke kumele kube khona okwenziwayo. Okunye kwakho ukuqhamuka nezindlela ezingcono zokufukula iminyango ethile esikholwa ukuthi iyona engumgogodla womnotho wethu,” usho kanje.

UMasipala weTheku nohlelo lokuthuthukisa indawo

MAGAYE CELE UMEYA woMkhandlu weTheku, uKhansela Mxolisi Kaunda wethule ngokuasemthethweni iphrojekthi yokuthuthukisa kabusha indawo yaseZimbuzini eMlazi eningizimu yeTheku. UKhansela uKaunda udalule ukuthi basebenzise imali eshisiwe ngenhloso yokuthuthukisa lendawo yokuhweba ngezimbuzi. Ngaphambi kokuba uMkhandlu weTheku ufake imali yokuthuthukisa le ndawo bebevele bebaningi kakhulu osomabhizinisi ebebeziphilisa ngokuhweba kule ndawo kusuka kudala. Le phrojekthi uKhansela uKaunda uthe

iyingxenye yemizamo yoMkhandlu yokuthuthukisa izindawo ezisemalokishini. Ngokusho kwakhe sesifikile manje isikhathi sokubaamalokishi angaphansi koMkhandlu weTheku abonakale ethuthuka ikakhulukazi kwezomntho. Ukuze lokhu kwenzeke kalula uthe bekumele nakanjani bona njengoMkhandlu weTheku kube khona abakwenzayo. Uchaze indawo yasezimbuzini njengenye ekwaziyo ukufukula umnotho welokishi laseMlazi. Udalule ukuthi lolu hlelo ludle izigidi zamarandi ezilinganiselwa ku-R22 million. UKhansela uKaunda uchaze ilokoshi laseMlazi njengeluwumgogodla wokufukula umnotho weDolobha, iTheku. Ugcizeleli-

le ukuthi impela uMlazi uyinsika yomnotho weTheku. Wathi ngaleyo ndlela kumqoka ukuba bangenelele kube khona abalekelela ngakho kosomabhizinisi bakuleli lokishi elibalwa namanye amakhulu eNingizimu Afrika yonkana. Echaza uthe: “Ukukhuluma iqiniso nje uMlazi uyindawo ewumthombo obalulekile wokuthuthuka komnotho weDolobha, iTheku. ITheku liyazibophezela ekutheni lizoqhubeka litshale izindodla zemali kuleli lokishi ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi liba yilento esiyifunayo. Siyethembisa ukuthi akugcini namhlanje. Kodwa lesi kuseyisiqalo nje.’’ UMeya uKaunda uphinde waveza ukuthi uMkhandlu weTheku uzimisele ukuthi

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

ulekelele bonke osomabhizinisi basemalokishini ukuze nabo babonakale bedlondlobala. Uthe ikakhulukazi osomabhizinisi abancane futhi abansundu kumqoka kakhulu ukuba bafukulwe lapho abadinga khona usizo. Uthe kakade vele kungumsebenzi wabo njengoMkhandlu weTheku ukuqinisekisa ukuthi baphonsa itshe esivivaneni ngenhloso yokulekelela amabhizinisi abancane. “Sizokwenza konke okusemandleni ethu njengoMkhandlu weTheku ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi bayaphumelela ekugcineni osomabhizinisi bethu abancane futhi abaMnyama,’’echaza.


IKHASI 4

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

MEYI 2021


MEYI 2021

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 5


IKHASI 6

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

MEYI 2021

UMnyango nesithembiso sokuqeda Imijondolo “Sesithathe isinqumo sokuthi simane sibeke eceleni le mali ukuze sizoqinisekisa ukuthi lo msebenzi omkhulu kangaka esiwuhlosile kawubambezeleki kodwa kunalokho uyafezeka”. MAGAYE CELE SEKUBEKWE eceleni isamba semali eshisiwe okuhloswe ngaso ukuqinisekisa ukuthi luphothulwa ngokushesha uhlelo olumqoka lokuqedwa kwezindawo eziyimijondolo eThekwini. Lolu hlelo luqhutshwa uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu esiFundazweni iKwaZulu Natal. UMnuz Jomo Sibiya ongungqongqoshe walo Mnyango nguyena odalule lezi zindaba ezifana noju cishe kubahlali abaningi baseThekwini namaphethelo. UMphathiswa uSibiya ubekade ehluba udlubu okhasini ekhuluma kabanzi ngokubaluleka kokuqedwa kwezindawo eziyimijondolo kusona sonke isiFundazwe iKwaZulu Natal. Uthe ukholwa ukuthi ayikho into ebeluleke ngaphezulu kokuba abantu banikezwe izindawo zokuhlala eziseqophelweni eliphezulu futhi ezibafanele. Mayelana nemali ebekelwe ukufeza lo msebenzi omkhulu kangaka udalule ukuthi ilinganiselwa ku-R700 million. Echaza uthe: “Sesithathe isinqumo sokuthi simane sibeke eceleni le mali

ukuze sizoqinisekisa ukuthi lo msebenzi omkhulu kangaka esiwuhlosile kawubambezeleki kodwa kunalokho uyafezeka. Angikucacise ukuthi le mali ibhekelele ukuqedwa kwezindawo eziyimijondolo kuphela hhayi okunye okuseceleni.” Eqhuba uMphathiswa uSibiya uthembise ukuthi uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu Natal ayiNhloko yawo uzobhukula wenze konke okusemandleni ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi iyaphela nje nya indaba yabantu bakwaZulu Natal abahlala emijondolo. “Sifuna abantu bakithi bakwazi ukuhlala ezindaweni ezihloniphekileyo. Phela kumele sikhumbule ukuthi lowo kwabe kungomunye wemigomo owawukhona kumqingo iFreedom Charter. Ngakho ke kumqoka ukuthi siwulandele singawuzibi,” usho kanje. Uveze ukuthi lolu hlelo seluvele seluqalile kwezinye izindawo. Wenze isibonele ngeCato Crest. Uthe kule ndawo uhlelo lokuqedwa kwemijondolo seluqaliwe uthe lubizwa ngokuthi yiCato Crest Slum Clearance Project. “Eqiniweni eCato Crest zazingu 1500 izindlu ezinesithunzi okwakumele

Izinhlelo ezinqala zokuthuthukiswa kwendawo yakwasithebe

UKHANSELA Thabani Mdlalose oyiMeya yoMkhandlu waseMandeni ekhuluma ngezinhlelo zokuthuthukiswa kwendawo yaKwaSithebe. MAGAYE CELE

UMKHANDLU waseMandeni oholwa nguKhansela Thabani Mdlalose ube nomhlangano omqoka kakhulu kanye naloyo ongungqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho,ezokuVakasha kanye nezeMvelo esiFundazweni, iKwaZulu Natal, uMnuz Ravi Pillay Inhloso enkulu yalo mhlangano bekungukuthi kubhungwe kabanzi ngezindlela ezingcono neziphusile ezingasetshenziselewa ukuthi kuqinisekiwe ukuthi indawo yakwaSithebe iyaphuculwa futhi iba yindawo engcono kakhulu. Kuzokukhumbulela phela ukuthi uMkhandlu waseMandeni kukaningi ukuveza ukuthi ufisa ukwenza indawo yakwaSithebe ibe yindawo engcono futhi kube yindawo enomnotho ozinzile futhi ekwaziyo nokudala indathane yamathuba

omsebenzi eminyakeni ezayo. UMphathiswa uPillay unikezwe nethuba lokuba ake azungeze ayibuke kahle indawo yakwaSithebe obekukade kubhungwa ngokuthuthukiswa kwayo. Kuningi kakhulu uMkhandlu waseMandeni osezinhlelweni zakho okuhle. Phakathi kwakho kubalwa nokwandiswa kwabantu abasha abanentshisekelo yokungena kwezamabhizinisi. UMeya uKhansela Mdlalose ukushayele elikhulu ihlombe ukungenelela kukaHulumeni wesiFundazwe iKwaZulu Natal ngenhloso yokwenza ngcono indawo yakwaSithebe, eseMandeni.“Kumqoka kakhulu ukuba kuqinisekiswe ukuthi indawo yaseMandeni iyathuthukiswa. Sihlose ukuqinisekisa ukuthi indawo yakwaSithebe iyathuthuka. Lokhu nginesiqinseko sokuthi kuzokwenzeka ngoba yinto esihlose ukuyibona yenzeka ngokukhulu ukushesha,”kuchza iMeyaka uKhansela uMdlalose. Eqhuba uKhansela Mdlalose uthe yinye kuphela indlela engaholela ekutheni ithuthuke kalula indawo yakwaSithebe. Uthe ukusebenzisana kakhulu nohulumeni wesiFundazwe iKwaZulu Natal kanye nohulumeni wakuzwelonke. Uthe unethemba elikhulu lokuthi lokhu kuzokwenzeka inqobo nje uma uhulumeni uzoba seduze kakhulu nalolu hlelo abaphezu kwalo. “Ngikholwa ukuthi kungaba lula kakhulu ukuthuthukiswa kwendawo yakwaSithebe uma nje singasebenzisana eduze nohulumeni wesiFundazwe kanye nohulumeni wakuzwelonke,”usho kanje.

UNGQONGQOSHE wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu Natal, uMphathiswa uJomo Sibiya oqhuba uhlelo lokuqedwa kwemijondolo eThekwini. zakhiwe khona. Kodwa ngenxa yezinselelo esabhekana nazo kwagcinwa kuthathwa isinqumo sokuthi kumane kwakhiwe ezingu-1000 nje kuphela.

Inkinga enkulu ukuthi abanye babantu bavele bakhetha ukwakha ezindaweni ezigavumelekile,”ephetha.

Abaphila ngobulili obubodwa bahlabe ukucwaswa umphakathi

MAGAYE CELE

ISIFUNDA, ILembe libungaze usuku olumqoka olumayelana nokugqugquzela ukungahlukunyezwa kwabantu abathandana nobulili obubodwa. Lolu suku lubizwa ngokuthi yi-International Day against Homophobia, Interphobia, Biophobia and Transphobia ngamafuphi yi-IDAHBIT. Eqinisweni nje lolu usuku oluvamise ukuthi lubungazwe umhlaba wonke ngomhlaka 17 May. Umbungazo lona weLembe ubukade uqhubeka ehholo lomphakathi lakwaDukuza, oGwini olusenyakatho yesiFundazwe, iKwaZulu Natal. Ngalolu suku kubuye kwakhulunywa kakhulu ngokubaluleka kwemizamo eqinisekisa ukugwema ukucwaswa kwabantu abathandana nobulili obufanayo. Ukucwaswa kwabo kuvunyelwane ngokuthi kumele kuliwe kunqandwe kungaze kusabalele kugcine sekukapakela ezweni lonke. Kuzokhumbuleka phela ukuthi eminyakeni ngu-31 eyedlule ngo-1990 inhlangano yezempilo emhlabeni nje jikelele iWorld

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Health Organization yathi ukusisona isifo ukuthandana kwabantu bobilili obobudwa. Kuzokhumbuleka ukuthi ngaphambilini ukuthandana kwabantu bobilili obufanayo kwakuchazwa njengesifo sabantu abangaphilile kahle engqondweni. Nokho lokhu kwagcina kuguquliwe kwabhungwa kabanzi ngakho kwingqungquthela eyabe imqoka kakhulu neyathela izithelo ezinhle eyabe ingenyanga ka-August ngo-2005. Kulo mbungazo weLembe bekukhona uMnuz Richard Mkhize onguSihlalo weCivil Society, uMnuz Patrick Mdletshe yena onguSihlalo walo mbutho, bekukhona noNkkk Nonhlanhla Mkhize onguMholi weLesbian, Gays, Bisexual, Transgender And Intersex ngamafuphi yiGBTI esiFundazweni. Bonke bebesho ngazwi linye bevumelna ngokubaluleka kokuhlonishwa kwabo bonke abantu kungakhathaleki ukuthi baphila hlobo luni lwempilo futhi bayiliphi ibala. Amalunga omphakathi wesiFunda iLembe awazange aphoxe njengoba ebephume ngobuningi bawo bezolalela futhi bezofunda okuningi obekukhulunywa ngaleli langa. Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-October 2014 kwaba nomhlangano wokubhunga kabanzi ngamalungelo abantu abathandana nobulili obufanayo. Kwaphinde kwathulwa nezethulo okwasetshenzelwa kuzona. Okunye okwakuseqhulwini kwaba ukuhlukunyezwa kwabo kanye nokubulawa kwabo.


MEYI 2021

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Abezithuthuthu banikele ngomfaniswano esikoleni

LABA ngabanye babafundi baseChibelihle abahlomule ngomfaniswano benethimba laBangabani Bikers Association. TSEPO MOTLOKA KUTUSWE iqhaza laBangani Bikers Association in KwaZulu-Natal ngokuthi bethi bedlala ngezithuthuthu kodwa babuye babheke emphakathini belule isandla lapho benamandla khona. Abangani bahambele eChibelihle Combined School eMpendle beyonikela ngomfaniswano ezinganeni ezingu-80 ezihlonzwe njengeziphuma emakhaya ahlwempu. Lapha bekunikelelwa izingane kusukela kwa-Grade R kuze kufike ku-Grade 12 ebezithola imfaniswano uphelele kusukela onyaweni kuya phezulu.

Ekhuluma egameni laBangani Bikers Association in KwaZulu-Natal uMnu Nhlanhla “Maphepha” Zuma uthi ukuqhwizisa kwabo izithuthuthu kakusiwona umdlalo ngoba zonke izinkinga ezibhekene nomphakathi bayazazi futhi nabo ziyabathinta njengoba beyingxenye yawo. Uthe lesi sikole ebebesihambele naye ungomunye wabafundi abafunde kusona ngakho ube nesifiso sokwenza umnikelo omuhle kubafundi. “Abantu baye babone uma sigibele izithuthuthu sengathi singabantu abakhonze ukudlala. Lapha enhlanganweni sinabanumzane nomama bemizi okuthi uma sizihlalele sikhulume

ngezinto ezakhayo. Ngibe sengicela kubona ukuba senze umnikelo engizowuletha esikoleni engafunda kusona nebala isicelo sami kasangabukelwa phansi njengoba sikwazile ukuhlanganisela izingane eziwu-80 esithemba ukuthi nabazali bazokujabulela okwenziwe ezinganeni zabo,” usho kanje. UMnu Bonginkosi Dlamini onguSihlalo wesigungu esilawula eChibelihle Combined School ubonge okwenziwe ngaBangani Bikers Association nabafundi abadala balesi sikole abelule isandla ezinganeni bazinikelela ngomfaniswano. “Siyisigungu futhi simele nomphakathi wonkana sibongela abazali ngokwenziwe ezinganeni zabo. Sikholwa ukuthi lokhu okutholiwe kuwele ezandleni ebezidinga ngempela. Sikholwa ukuthi kuzoba usizo olukhulu ngokuqonda inhlalo kumbe impilo yasemakhaya lapho izingane ziphuma khona njengoba zizialwa emakhaya angalingani,” usho kanje. Uthishanhloko wesikole uMnu Nkosinathi Gcaba uthe lokhu okwenziwe kubafundi besikole asibhekile kuzolekelela ekuphunguleni umthwalo wabazali njengoba kudingeka bahlinzeke izingane zabo ngokudla babuye bababhekele umfaniswano wesikole kanti abanye babo kabasebenzi baphila ngemali yesibonelelo sazo lezi ngane. Ekhuluma egameni lozakwabo uZola Duma ubonge abakwenzelwe ngaBangani Bikers Association ethi isandla sidlula ikhanda bengabafundi ngoba sebezofana bonke uma bengaphakathi emagcekeni esikole.

Abobulili obufanayo bazokwethula amafilimu achaza ngempilo yabo TSEPO MOTLOKA

ITHIMBA labahleli boMgungundlovu Gay and Lesbian Film Festival okunguSiyabonga Nzuza, Portia Ndudane noNompumelelo Zuma.

UKUKHULA kwezibalo zokuhlukunyezwa nokubulawa kwabathandana nobulili obufanayo sekunyakazise abahleli boMgungundlovu Gay’s and Lesbian’s Film Festival asebehlele ukuhlangana baqophe ama-film achaza kabanzi ngempilo yabo njengendlela yokwamukelwa emphakathini. USiyabonga Nzuza ongumgqugquzeli weThe Gays and Lesbian Film Festival uthi iyabakhathaza indaba yabantu abagijimela ukuyobukwa kwi-TV belingisa impilo yabantu abathandana nabobulili obufana nobabo ngoba kusuke kube sengathi le mpilo iwumdlalo kanti ngeyangempela. Uthe beyinhlangano bahlele ukuhlanganisa amaciko ikakhulukazi angama-gay and lesbian ukuthi mawenze okuthile okuzokhuluma ngqo ngempilo yawo bangakhulunyelwa ngabantu abangayiqondi nabangayiphili. “Kuyimanje sinohlelo oluqhubekayo lokwamukela ama-video amafishane lapho ama-gay and lesbian elingisa ngokwawo eveza impilo ayiphilayo. Kusiphatha kabi ukubona abantu bezama ukuzenza thina kube sen-

gathi kasikwazi ukuzichaza emphakathini ukuthi singobani. Lokho kukodwa kwenze sithathwe kalula kube sengathi kwathina kasizazi ukuthi singobani nokuthi siyinhloboni yabantu. Abantu abaningi abaphila impilo yethu bagcina bezinyeza ekungeneni emkhakheni wezikaqedisizungu ngoba bebona ukuthi bazohlekwa. Sifuna abantu bayijwayele le mpilo yethu ukuze bayeke ukusihlukumeza nokusicwasa kugcine sekubulewe nabanye bethu,” usho kanje. Eqhuba uSiyabonga uthe ngalo mqhudelwano abawuqhubayo wokwamukelwa kwalama-video bahlele ukuthi uma kukhona ebahlabe umxhwele bese besebenzela phezu kwayo ukuveza impilo yabo emphakathini. “Ukwamukelwa kwalama-video okuqale mhlaka 23 April kuvalwe mhlaka 23 June kuzolandelwa wumklomelo waloyo ozobe eyihlanganise kahle. Sizimisele ukubona ama-gay and lesbian ezibambele mathupha ngempilo yawo futhi evelela emisebenzini yobuciko njengokulingisa ngqo wona ngempilo yawo,” usho kanje engeza ngokuthi abafisa ukuthumela ama-video bangaxhumana naye kwethi 078 543 4924.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 7

SIVUBELA Intuthuko ITHIMBA LEPHEPHA >> UMHLELI MAKHOSI MNGOMA makhosi@sivubelaintuthuko.co.za 083 618 4252

NOKULUNGA MAJOLA Info@sivubelaintuthuko.co.za 072 1792 255

>> GRAPHIC DESIGNER AND LAYOUT LINDA MAZIBUKO trusouth1@gmail.com 076 4847 269

SANELISIWE NGEMA Info@sivubelaintuthuko.co.za 067 920 8446 MAGAYE CELE info@sivubelaintuthuko.co.za 067 920 8446 TSEPO MOTLOKOA info@sivubelaintuthuko.co.za 067 920 8446 IWEBSITE YETHU www.sivubelaintuthuko.co.za sivubela intuthuko @sivubela intuthuko sivubelaintuthuko B 33 Ten Acre Thembeni Groutville, P.O Box 4473, Stanger 4450, 270 Stamford Hill Road Unit 1 Morningside, Durban, 4000 UMA UFUNA UKUKHANGISA KULELIPHEPHANDABA , SHAYELA 067 920 8446 / 083 618 4252


IKHASI 8

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

MEYI 2021

Sivubela Intuthuko

EZEMIDLALO

Baqophe umlando abasubathi baseKZN “Omunye walaba bagijimi baKwaZulu Natal ophephezelisele phezulu ifulegi laKwaZulu Natal, kube nguMbulelo Mathanga obekuvele kulindelekile ukuthi agile lezi zimanga.” MAGAYE CELE

UMBULELI Mathanga ongomunye wabagijimi baKwaZulu Natal abaqophe umlando kowe-Athletic South Africa Half Marathon emqhudelwaneni obukade useGqeberha, esiFundazweni, i-Eastern Cape.

LIZIFAKE emabhukwini omlando iqembu labagijimi lasesiFundazweni, iKwaZulu Natal ngesikhathi libuya nendondo yegolide emqhudelwaneni omkhulu obizwa ngokuthi yi-Athletics South Africa Half Marathon. Lona ngumqhudelwane wabagijimi obukade uqhubeka eGqeberha esiFundazweni, i-Eastern Cape. Leli qembu labasubathi baKwaZulu Natal belikade libunjwe ngabagijimi abehlukene bakulesi siFundazwe. Belihlanganise izibabuli zabasubathi beqophelo eliphezulu nabahlonishayo KwaZulu Natal namaphethelo. Omunye walaba bagijimi baKwaZulu Natal ophephezelisele phezulu ifulegi

laKwaZulu Natal, kube nguMbulelo Mathanga obekuvele kulindelekile ukuthi agile lezi zimanga. UMathanga uphume isithathu ngesikhathi esiwu: 1:02:25. UMathanga ungumsubathi wenkampani ehlonishwayo eNingizimu Afrika yonkana, iPhantane AC. Ugila lezi zimanga njena uMathanga kuzokhumbuleka ukuthi emasontweni edlule unqobele iKwaZulu Natal indondo yegolide kwi-ASA Track and Field Championship kwi-1000m. Abanye abasubathi baKwaZulu Natal abagile izimanga kulo mqhudelwane kube yilaba abalandelayo. NguSipho Mbanjwa, Simphiwe Zulu, Lipchitz-Kubheka, uNkosinathi Ngcongo kanye naye uMbulelo Mathanga. Ngenxa yokwenza kahle kwabo bonke laba lokhu kuholele ekutheni iKwaZulu Natal igcine

izuza indondo yegolide. Sesihlangene isikhathi esenziwe ngabasubathi baKwaZulu Natal kube u: 04:07:36. Lesi yisikhathi esihle kakhulu esenziwe ngabasubathi ebebemele iKwaZulu Natal. Leli qembu labasubathi baKwaZulu Natal ngokubuya nendondo yegolide baqede ishobolo leminyaka lokubhimba kwezinto kulesi siFundazwe saKwaZulu Natal. Bonke laba basubathi ngemuva kwalo mqhudelwano bathembise ukuthi nangokuzayo bazokwenza konke okusemandleni abo ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi liphephezela phezulu ngaso sonke isikhathi ifulegi lesiFundazwe saKwaZulu Natal. Babonge nengqayizivele yethuba abanikezwe lona yinhlangano iKwaZulu Natal Athletis (KZNA) lokuba bamele isiFundazwe.

Uthi makaqale azinze kuqala uBenny ngaphambi kokuba ajoyine elesizwe MAGAYE CELE

UMATTHEW Booth uthi kungakuhle ukuthi uBenny aqale azinze ngokwanele kwi-League ephezulu yaseNingizimu Afrika ngaphambi kokuba aye kwesokuqeqesha iBafana Bafana.

LOYO owayeyisiqongqwane sasemva seqembu labangaphansi kweminyaka engu-23, laseNingizimu Afrika amaGlug Glug, uMatthew Booth useluleke uBenny MCcarthy ukuthi angajahi ukuyoqhoqhobela isikhundla sokuqeqesha iqembu lesizwe lebhola lezinyawo lakuleli iBafana Bafana. UBooth owabuye wabonakala egijima kwiMamelodi Sundowns uthi uBenny kumele aqale azinze kahle ekubeni ngumlolongi esigabeni esiphezulu saseNingizimu Afrika kuqala. Ngokwakhe uBooth bekuzoba uyagagamela uBenny ukube ugcine esamukelile isikhundla sokulolonga iqembu lesizwe. Yize inhlangano eyengamele ibhola likanobhutshuzwayo kuleli iSouth African Football Association (Safa) igcine iqoke umlolongi wangaphandle uHugo Broos kweseBafana Bafana kodwa beyikade ibheke oyedwa phakathi kukaBenny owake wagijima kuyona iBafana kanye noPitso “Jingles” Mosimane okuyimanje uqhoqhobele esokucija izingqwele zase-Afrika, i-Al Ahly, yaseGibhithe. UBooth uthe uBenny angaphangi umdaka linganile. Echaza uBooth uthe: ‘’ Angikholwa ukuthi bese kuyisikhathi esihle lesi

sokuba uBenny aqokelwe esikhundleni sokuthi alolonge iqembu lesizwe iBafana Bafana. Mina ngikholwa ukuthi uBenny kumele aqale abonakale azinze ngokuphelele emsebenzini wakhe omuhle abonakala ewenza kahle okwamanje.” Ukhuluma kanjena nje uBooth abahlaziyi bebhola likanobhutshuzwayo baseNingizimu Afrika bebelibeka ngembaba elokuthi iBafana Bafana yenza kangcono uma iqeqeshwa ngabalolongi bakuleli uma kuqhathaniswa nalabo bokufika. Kuzokhumbuleka njalo ukuthi uBooth noBenny babeseqenjini lamaGlug Glug elaqopha umlando libhambabula iBrazil ngamagoli amathathu kwelilodwa emidlalweni yama-Olympics yango-2000. Lelo qembu lalilolongwa ngu-Ephraim “Shakes’’ Mashaba. Lalikade ligabe ngezibabuli zabadlali beqophelo eliphezulu okubalwa kubona uQuinton Fortune wodumo kwiManchester United yaseNgilandi, Steve Lekolea owazakhela igama elikhulu kwi-Orlando Pirates kanye naye uBenny okuyimanje nguyena kuphela umdlali waseNingizimu Afrika onesicoco se-UEFA Champions League asinqoba ngesikhathi egijima kwiFC Porto yasePortugal ngo-2004.

031 828 0433 / 082 597 6669

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.