Sivubela Intuthuko Newspaper

Page 1

SIVUBELA Intuthuko

ADVERTISING: 067 920 8446 AGASTI 2021

FACEBOOK: SIVUBELA INTUTHUKO

SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

LIMAHHALA USHICILELO 64

Izisebenzi zihloniphe abesifazane zidlubhe amalokwe udaba ekhasini 3. UMnyango nokuxhasa izinhlangano zomphakathi

iKhasi 2

UNkonyeni ugezeke igilo ngamaphoyisa esifazane KwaZulu-Natal

iKhasi 4

NGEZINYE zezisebenzi zesilisa zaseMsunduzi eziqoqa udoti ebezidlubhe amalokwe. UMkhandlu nosizo kubafundi

iKhasi 7

Uphephezelisele phezulu ifulegi laseNingizimu Afrika

iKhasi 8


IKHASI 2

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

AGASTI 2021

UNdunankulu nohlelo lokuxhasa kwezokuvakasha

MAGAYE CELE

ISIFUNDAZWE saKwaZulu Natal sesibeke eceleni isizumbulu semali eshisiwe esihlose ngayo ukuba sisetshenziselwe ukutakula umkhakha wezokuVakasha wakulesi siFundazwe. Lezi zindaba ziqinisekiswe nguNdunankulu wakulesi siFundazwe, uMnuz Sihle Zikalala. Ubekade ekhuluma kabanzi ngokubaluleka kokufukulwa kwezokuVaksha ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi awufadabali nje kalula umnotho waKwaZulu Natal. Imali athe seyibekwe eceleni uthe ingu-R20 million okuyimali enkulu kakhulu nathe akangabazi nje nakancane ukuthi izodala umehluko omkhulu kakhulu emkhakheni wezokuVakasha. Uchaze eZokuvakasha njengomgogodla omqoka kakhulu wezomnotho esiFundazweni. Wathi ngenxa yalokho kumqoka kakhulu ukuthi ezokuVakasha zikuthole ukubhekelelwa uma kunesidingo sokuba kwenziwe kanjalo. UZikalala ulimise ngesihloko elokuthi eZokuVakasha zikhahlanyezwe kakhulu ukuvumbuka kokhuvethe iCovid 19. Udalule ukuthi ibhizinisi lezokuVakasha ngalinye lizogixabezwa ngemali engu-R50 000. “Sizoqinisekisa ukuthi amabhizinisi ezokuVaksha ayaluthola lolu xhaso esilumemezelayo lapha namhlanje.

UNDUNANKULU wesiFundawe saKwaZulu Natal, uMnuz Sihle Zikalala odalule uhlelo abanalo lokuxhasa osomabhizinisi abancane. Inhloso enkulu yalolu xhaso ukuqinisekisa ukuthi ziyathuthuka ezokuVakasha

zalapha KwaZulu Natal okuyinto esikholwa ukuthi ibalulekile kakhulu,’’usho

kanje. Uthe banohlelo olunzulu noluhleleke kahle olumayelana nakho ukuxhaswa kwendima yezokuvakasha. Uthe ngaphambi kokuba ezokuvakasha zikhahlanyezwe ukuvumbuka kweCovid 19 okuholele ekuntengantengeni komnotho ezokuVakasha bezigaya inzuzo elinganiselwa ku-9,6% emnothweni waKwaZulu Natal okuyinto athe beyenza umehluko omkhulu esiFundazweni. Uthe yingakho ke bangeke baze balenze iphutha lokuba bawuzibe lo mkhakha uma sewubhekene nobunzima bezezimali. Uthe kulokoza inhlansi yethemba ngokuthi izinto sezizoqala manje zibuyele esimweni uma osomabhizinisi bezokuVakasha sebelutholile lolu xhaso. “Siyethemba ukuthi umehluko omkhulu uzoqala ubonakale manje. Phela lokhu esikwenzayo sikwenza ngoba sifuna ukubona umehluko kwezokuVakasha. IKwaZulu Natal iyakholelwa kakhulu ekutheni ezokuVakasha ziklama indima enkulu kakhulu ekufukulweni komnotho,’’usho kanje. Esephetha ugqugquzele bonke osomabhizinisi abakhona kwezoku Vakasha ukuthi bangadikibali kodwa bazibambe ziqine kunakuqala.

UMnyango nokuxhasa izinhlangano zomphakathi “Bese kuqala kubanzima kakhulu ukusebenza. Nokho ke manje sikholwa ukuthi konke sekuzoba lula kakhulu njengoba sesithole lolu xhaso olumqoka eMnyangweni wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu Natal.’’

UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza uMnyango wakhe unikezele ngosizo olumqoka kakhulu ezinhlanganweni zomphakathi. MAGAYE CELE ZINYELWE yinyoni esandleni izinhlangano ezingenzi nzuzo ngesikhathi zith-

ola uxhaso lwemali oluvela kuMnyango wezokuThuthukiswa komphakathi KwaZulu Natal. Lolu xhaso belunikezwa lezo zinhlangano ezigxile kakhulu ekufukule-

ni umphakathi ngezindlela ezahlukene. Loyo ongungqongqoshe wezokuThuthukiswa komphakathi KwaZulu Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza uthe kumqoka kakhulu ukwesekwa kwezinhlangano ezigxile kakhulu ekutakuleni umalunga omphakathi. Uthe okuyikhona okudale ukuthi banikezele ngosizo lwale mali kube yizibhelu zakamuva athe zibonakale zishiye umonakalo omkhulu kakhulu KwaZulu Natal yonkana. Ube eseyala oSihlalo balezi zinhlangano ukuthi bangalenzi iphutha bayisebenzise budlabha le mali. Echaza uthe: “Lolu uxhaso lumqoka kakhulu ikakhulukazi kuzona lezi zinhlangao.Ngikholwa ukuthi manje sezizokwazi ukuthi ziqhubeke nokwenza umsebenzi wazo ngokukhululeka. Kungumsebenzi wethu ukulekelela izinhlangano ezinjengalezi,’’usho kanje. OSihlalo balezi zinhlangno babonge banconcoza kakhulu ngalolu xhaso abaluchaze njengolumqoka kakhulu noluzokwenza umehluko omkhulu kukhona konke abakwenzela umphakathi abakuwona. UNksz Gugu Madondo weSila Foundation okuyinhlangano esiza izingane emphakathini ngemisebenzi yesikole iphinde ilwe nokuhlukunyezwa

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

kwabantu besifazane uthe lolu xhaso luzokwenza umehluko omkhulu kubona. Uthe isimo besinzima kakhulu ngaphambi kokuba bathole lolu xhaso. Uthe kulokoza inhlansi yethemba manje mayelana nokuhamba kahle kwezinto kuyona yonke imisebenzi abazoyenza kusuka manje kuya phambili. UGugu uthe inqola bese iqala manje ibhajwa odakeni ngenxa yokungabi nazo izinsiza ezanele zokuqhuba umsebenzi kanye nokushoda kwayo imali. Uthe: “Bese kuqala kubanzima kakhulu ukusebenza. Nokho ke manje sikholwa ukuthi konke sekuzoba lula kakhulu njengoba sesithole lolu xhaso olumqoka eMnyangweni wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu Natal.’’ UNkk Zipho Msimanga wenhlangano iZala Woman Initiative elekelela kakhulu abantu besifazane nayo igixabezwe ngoxhaso. UZipho uthe bayabonga kakhulu ngokuthola usizo ezingeni lesiFundazwe. Zingu-5 sezizonke izinhlangano ezithole uxhaso inhlangano ngayinye ibigixabezwa ngesigidi samarandi.


AGASTI 2021

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 3

Izisebenzi zihloniphe abesifazane zidlubhe amalokwe

NGEZINYE zezisebenzi zesilisa zaseMsunduzi eziqoqa udoti ebezidlubhe amalokwe. TSEPO MOTLOKOA ZITHATHWE njengamaqhawe izisebenzi zesilisa zikaMasipala waseMsunduzi ngokudlubha amalokwe zisem-

sebenzini wokuqoqa udoti zihlonipha ozakwabo besifazane eziyibambe nabo njengoba iNingizimu Afrika beyibungaza usuku lwabesifazane oluba njalo mhlaka 9 ku-August minyaka yonke

oselwahlonzwa njengolusemthethweni ngokwekhalenda laseNingizimu Afrika. Wonke amehlo abephenduka nalezi sebenzi ngoMsombuluko ebezibonakala zilenge emalolini zishaya amakhwelo kubonakala ukuthi injabulo iyachichima kuzona. ISIVUBELA INTUTHUKO ebikhona edolobheni laseMgungundlovu izibonele lezi zisebenzi ebeziselolini ebelehla ngoLangalibalele Street (Longmarket) ebezimata zenza umsebenzi wazo wansuku zonke wokuqoqa udoti. Obekuqapheleka kulezi sebenzi nobekuthatha amehlo abantu yijubane ebeliqhuma kuzona uma zehla elolini lokho obekwenza ukuthi umuntu agxile kuzona ngoba kakujwayelekile ukubona umuntu wesifazane egijima ngejubane eliphezulu. Nokho uma sezisondela eduzane bekubonakala ukuthi ngezesilisa kodwa zigqoke amalokwe. Abantu abebesedolobheni bebengazibekile phansi njengoba babekuthakasela abebekubona bethatha izithombe bephindelela nazo lezi zisebenzi zingakhombisi ukuba nenkinga njengoba bezize zidanse uma zibona zithathwa izithombe.

Okhulumela uMasipala waseMsunduzi uNkk Thobeka Mafumbatha uthe bengumasipala bakujabulele ukubona izisebenzi zabo zesilisa ikakhulukazi lezi eziqoqa udoti zivolontiya ngokwazo zihlonipha ozakwabo eziyibambe nabo kwa-Waste Department ngokuthi nazo zingene ezicathulweni zazo zidlubhe amalokwe njengabo besifazane. Uthe umsebenzi wokuqoqa nokuthutha imfucuza ubucayi ngakho kunikezana ithemba ukubona izisebenzi zisekana emsebenzini wazo. Uthe lokhu obekwenziwa yizisebenzi kukhombisa ukuthi bayaziqonda izinselelo ezibhekana nozakwabo emsebenzini wabo. “Siyazi ukuthi kulezi zinto ezilahlwayo kukhona neziyingozi kakhulu kodwa ukubona izisebenzi zesilisa zijabule ngaleya ndlela lokho kuyakhuthaza. Nezabesifazane ziyakhuthazeka uma zibona zesekwa ngozakwabo. Nomphakathi uba nethemba uma ubona izisebenzi zikhombisa ukubanomdlandla ngomsebenzi wazo njengoba bekwenza lezi zesilisa kade zidlubhe amalokwe,” kusho uNkk Mafumbatha.

Angeke bayikhokhe irenti izinyanga ezintathu osomabhizinisi baseThekwini MAGAYE CELE

IMEYA yoMkhandlu weTheku, uKhansela Mxolisi Kaunda iDolobha lakhe lithi osomabhizinisi abancane angeke bayikhokhe irenti izinyanga ezintathu zilandelana.

BATHI ncinci kamjoli osomabhizinisi abancane abaqashe ezindaweni eziphethwe uMkhandlu weTheku oholwa nguKhansela Mxolisi Kaunda njengoba sebenikezwe isibonelelo sokuthi bangayikhokhi irenti izinyanga ezintathu ezigcwele. Lezi zindaba ezehle njengoju kosomabhizinisi abahlukene abasebenzisa izindawo zoMkhandlu weTheku ngenhloso yokuziphilisa kuthiwa angeke bayikhokhe irenti kusuka ngoJuly kuze kube kuphela izinyanga ezintathu golokoqo. Lezi zindaba ziqinisekiwe yiwona qobo lo Mkhandlu ozichaza njengokubeka eqhulwini ngaso sonke isikhathi ukubaluleka kokukubhekelelwa kwezidingo ezimqoka zosomabhizinisi abancane. Kuhlalukile ukuthi loluzwelo uMkhandlu weTheku ulibhekise nje ngqo kulabo somabhizinisi abancane abakhahlanyezwe yizibhelu zakamuva ezibonakale zidla lubi kakhulu kusona sonke isiFundazwe saKwaZulu Natal kwaze kwagcina sekukapakele naseGoli. Lolu hlelo lwesibonelelo luphinde lufake nalabo somabhizinisi abadayisa emgwaqeni yezitaladini zaseThekwini.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Lo Mkhandlu uthi kuyimanje umatasa usebenza ngokukhulu ukuzikhandla lokhu ngenhloso yokufukula kabusha umnotho weTheku olimale kakhulu ngezikhahi zezibhelu. Nokho lo Mkhandlu uthi uyethemba ukuthi konke kuzogcina kubonakale kubuyela esimweni inqobo nje uma kusetshenziswana futhi kubanjiswene. Lo Mkhandlu udalule nokuthi abamabhizinisi amancane bazophinde bavunyelwe ukuthi bakwazi ukuthi babhalise kabusha ukuze amabhizinisi abo ezokwazi ukuthi asebenze kahle ngaphandle kokubhekana nezindleko ezimba eqolo. Kuvelile nokuthi uMkhandlu weTheku uzibophezele ekutheni unikezele ngama-plan okwakhelwa bhusende kwezakhiwo zalabo somabhizinisi abasafufusa ezigcine zicekeleka phansi njengoba abantu babekade bevuke umbhejazane betapa ezitolo. Lo Mkhandlu ukugcizelelile ukuthi zonke lezi zinhlelo ezimayelana nesibonelelo serenti zibhekiswe kubona bonke osomabhizinisi bakuleli dolobha akekho ozozithola evaleleka ngaphandle kwesizathu esibambekayo.


IKHASI 4

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

AGASTI 2021

UNkonyeni ugezeke igilo ngamaphoyisa esifazane KwaZulu-Natal

TSEPO MOTLOKOA

theni inhlalakahle kubantu abasakhele. UNkk Nkonyeni uhlanganyele namakhulukhulu alaba besifazane abangamaphoyisa kwisivimbamgwaqo

BLUEPRINT 4447/Z

UNKK Neliswa Peggy Nkonyeni ophathiswe uMnyango wezokuThutha, ezok-

uPhepha nokuXhumanisa uMphakathi KwaZulu-Natal uchome uphaphe legwalagwala amaphoyisa esifazane kulesi sifundazwe ngeqhaza alibambile ekule-

ISIQALO ESISHA, AMATHEMBA AMASHA. Njengoba izwe lethu liqala ukwelulama ngemuva kokuhlukunyezwa ubhubhane, kwa-SANRAL, sikholwa ukuthi sekuyisikhathi sokubuyela ekuthuthukiseni ingqalasizinda. Sesisungule indathane yemikhankaso esilungele ukuqalwa, yokwakha, ukulungisa, ukulawula nokuqhuba kahle, engasiza ukuvuselela umnotho waseNingizimu Afrika. Lemikhankaso izoba negalelo entuthukweni yezomnotho, ekusunguleni amathuba emisebenzi nasekuguqukeni kwezomnotho, ukunciphisa ukungalingani nobubha.

ebesiseMariannhill Toll Plaza ebesihlanganyelwe yilamaphoyisa abeqhamuka ephikweni lwe-Road Traffic Inspectorate (RTI), iDurban Metro Police nolwe-South African Police Service (Saps) ezokhombisa ubukhona bawo njengoba iNingizimu Afrika beyibungaza usuku lwembokodo (Women’s Day) oluba njalo mhlaka 9 ku-August ngokwekhalenda laleli lizwe. Ekhuluma lapha uNkk Nkonyeni utuse ubuhlakani bokuqaphela kwamaphoyisa esifazane uma eqhathaniswa nawesilisa ikakhulukazi uma kwenziwa umsebenzi. Kulesi sivimbamzila kupeqululwe izimoto eziwu-500 ezinye zazo ezitholakale zikwabanye abantu ngokungemthetho okuvele ukuthi zantshontshwa ngo-2015 ezingxenyezni zesifundazwe saKwaZulu-Natal ikakhulukazi emalokishini akhele iTheku noMgungundlovu. Lapha bekuqinisekiswa ukuthi zonke izimoto zikulungele ukuba semgaqweni nokuthi kubhekwe ukuthi abashayeli bayahambisana yini nemibandela yokunqanda ukubhebhetheka ngamandla kwe-Covid 19 edla silaza nafumuka kuleminyaka emibili. UNkk Nkonyeni enika umdlandla abesifazane abasendimeni yezokuphepha uthe bangagudluki emsebenzini wabo omqoka abawenzela isizwe. “Sesisungule uhlaka lapho esizobe sibheka khona iqhaza lamaphoyisa esifazane nokuwaveza ukuthi abonwe yizwe ukuthi nawo aqotho emsebenzini wawo futhi awenza ngokuthenbeka njengoba enesiphiwo sokuqaphela. Lokho singekungabaze ukuthi amaphoyisa esifazane aqaphela kakhulu futhi ayaqikelela ngaso sonke isikhathi uma enza umsebenzi wawo,” kusho yena. Ephetha uNkk Nkonyeni uthe kunezigcawu azihlalayo nabakhulu bomnyango awuphathisiweyo lapho bezama ukuthola izixazululo ezinkingeni ezikhungatha i-Road Traffic Inspectorate esifundazweni saKwaZulu-Natal. Uthe bafuna ukuphuthumisa ukuvalwa kwezikhala zemisebenzi yezikhulu emnyangweni wakhe futhi ukhuthaza abesifazane ukungena kuzona. Uthe baphezu kwazo izikhalo zomphakathi ezingena ehhovisini lakhe ezingakaze kuhlangatshenzwane nazo.

Njengabalawuli benxanxathela yethu yemigwaqo kazwelonke, sizoqhubeka nokufaka isandla entuthukweni yomnotho waseNingizimu Afrika ngokuhlinzeka ngemigwaqo engcono. SANRAL. Ngaphezulu kwemigwaqo. www.sanral.co.za Reg. No. 1998/009584/30 An agency of the Department of Transport.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

AMAPHOYISA esifazane emikhakha ehlukene ezibambele kwisivimbamzila.


AGASTI 2021

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 5

Inhlangano ibungaze usuku lwabesifazane ngendlela ehlukile

UMnuz Phakamani Ndlovu ngesikhathi bebungaza usuku lwabesifazane ngendlela ehlukile MAGAYE CELE INHLANGANO ebhekelele ukuthuthukiswa komphakathi kanye nokucijwa kwamakhono ehlukene abantu abasha,

iPhakamani Empowerment Enterprise ibungaze usuku lwabantu besifazane ngokuthi ihambele eWushwini, KwaNgcolosi. Umsunguli wayo nguPhakamani Ndlovu uthe bakhethe ukubungaza lolu suku

ngokuthi abantu abasha bakule ndawo bahlangane babe yimbumba. Bethula iKwaNgcolosi Progressive Mens Hub okuyinhlangano athe izosetshenziselwa ukubhunga kabanzi ngezinselelo eziningi kakhulu ezikhinyabeza abantu besilisa. Phakathi kwezinto athe zibonakala ziphazamisa kakhulu impilo yabantu abasha abaphila kulesi sikhathi samanje uphuzo oludakayo athe seludale umonakalo omkhulu kubantu abasha abaningi. Okunye akubalulile ukwanda kwabesifazane abakhulelwayo besebancane. Ukugqoza kwamathuba omsebenzi uthe khona kumane kudale umonakalo omkhulu kakhulu. “Zonke lezi zinkinga iqiniso lithi zibhekene nje ngqo nabantu abasha. Ngakho ke kumqoka ukuthi sisebenzisane ukuze sizokwazi ukuzinqoba. Kumele silwe ukuze sizophila impilo engcono,’’usho kanje ngokukhulu ukuzethemba lokhu. Umvalelandlini uthe nawo udale umonakalo omkhulu kubantu abasha njengoba sekukhona abanye abantu abasha abaphelelwe yimisebenzi ngesikhathi kuvumbuka ukhuvethe icovid 19. Ngokusho kukaPhakamani ukuguquka

kwabantu besilisa kungaholela ekutheni nabantu besifazane nabo kube lula kakhulu ukuthi babukele kokuhle okwenziwa ngabantu besilisa. Echaza uthe: ‘’Manje sesibona inqwaba yamantombazane amancane aphuza kakhulu utshwala okuyinto ebalimazayo kakhulu uma kukhulunywa ngekusasa labo. Abagcini ngokuphuza baze bagcine sebelala khona ezindaweni zobumnandi okuyinto engeyinhle ukuthi ingenziwa ngumuntu wesifazane,’’ kuchaza uPhakamani. Uthe kumqoka kakhulu ukuthi bonke abantu abasha basukume bame ngezinyawo baqinisekise ukuthi bayazinqoba zonke izinto ezibonakala ziphazamisa ikusasa labantu abasha. Uthe kuyadabukisa kakhulu ukubona amantombazane amancane aneminyaka engu-15 ethola abantwana. “Sifuna ukubona abantu abasha baseWushwini bephila impilo engcono kakhulu kunale abayiphila manje. Sinethemba elikhulu ukuthi konke kuzogcina kubuyele esimweni inqobo nje uma sibambisane,’’usho kanje. Uthe kunamakhono abantu abasha abanawo okumele acijwe athe kungenzeka bagcine sebephila ngawo.

uMasipala usawavalile amabhishi MAGAYE CELE AZOQHUBEKA nokuvalwa amabhishi asentshonalanga yeKwaDukuza,oGwini olusenyakatho yeKwaZulu Natal. Lezi zindaba ziqinisekiswe yiwona kanye lo Mkhandlu oholwa nguKhansela Dolly Govender.Lo Mkhandlu unxusa wonke amalunga omphakathi akwaDukuza ukuthi athi ukuma kancane ukuhambela amabhishi. Amabhishi okukhulunywa kakhulu ngawo lapha asuka oTongaat River kuze kuyokapakela kwiSalt River. Ukuvalwa kwawo kubangelwa umonakalo ongemuhle owenzekile ngesikhathi kudlange kakhulu izibhelu emasontweni amathathu edlule. Umonakalo omkhulu

udaleke ngesikhathi kuhlaselwa inkampani yamakhemikhali yaseCornobia. Lo Mkhandlu uthi kungakuhle uma wonke amalunga omphakathi engeke aze azihlanganise nokuningi okujwayele ukuthi kwenziwe emabhishi. Phakathi kwalezo zinto umphakathi wakwaDukuza onxuswa ukuthi ume kuzona ezijwayele ukwenziwa emabhishi kubalwa ukubhukuda, ukudoba, ukuthathwa kwezilwane ezifile nokunye okuningi abavamise ukukwenza. Ukuqoqwa kwanoma yini elahlwe ebhishi kunxuswa umphakathi ukuba uziqhelelanise kukhona ngoba kungaba yingozi enkulu kumuntu osadla anhlamvana. Lokhu kuvalwa kwamabhishi kungokwesikhasha-

na. Kuzoqhubeka kubonakale kuze kube izinto zonke zibonakala zibuyela esimweni esejwayelekile. Kunxuswa amalunga omphakathi ukuthi abe nesineke asebenzisane neziphathimandla kulolu hlelo lokuhlanzwa kwamabhishi. Njengamanje izimpilo zabantu yizona eziseqhulwini ngaphezulu kwezinto zonke. UMkhandlu waKwaDukuza wazisiwe ukuthi njengamanje sekuhlonzwe inkampani ezohlanza iqinisekise ukuthi konke kuhamba kahle emabhishi. Ithimba leqophelo eliphezulu elijutshiwe ukuba lenze lo msebenzi lizobheka ukuthi kukhona yini izinto ezingalungile ezilahlwe emabhishi. Kuthathwe amasempula ahanjiswa kochwepheshe ukuze babheke

ukuthi busakhona yini ubungozi ngokuvulwa kwamabhishi. Imiphumela izobuya ngesonto elizayo ukuthi kungaqhutshekwa yini nokuza kwabantu emabhishi kanjalo nokwenziwa kwezinto eziyimixhantela ezivamise ukwenziwa ngabantu emabhishi. Iziphathimandla okwamanje zimatasa zisabhekisisa kahle isimo nomthelela obe khona emabhishi ngezikhathi zezibhelu. Kunxuswa abahlali baKwaDukuza ukuthi babike ukubulawa kofishi kule nombolo elandelayo ethi: 083 253 6618. AbakwaMarine Safety Unity bangaxhunywa ku:steveh@kwadukuz.gov.za noma kushayelwe inombolo ethi: 083 652 5021 ngezikhathi zomsebenzi.

I-Sassa icela ama-akhawunti kwabahola uR350

TSEPO MOTLOKA

I-SOUTH African Social Security Agency (Sassa) inxusa izakhamizi zaseNingizimu Afrika ikakhulukazi lezo ezikulungele ukwamukela imali yesibonelo sabangasebenzi se-Covid 19 iSocial Relief of Distress Grant sikaR350 ukuba balekelele ngokuba nama-akhawunti asemabhange ukuze imali ingene kuwona. Kuthiwa lokhu kuzolekelela ukugwema isiminyaminya esiba semaposini sabantu abathutheleka kuwona bezobheka imali yabo kangangoba abanye baze balale khona benzela ukuba phambili ngosuku lokuholelwa kwabo. UMnu Paseka Letsatsi okhulumela iSassa

kuzwelonke unxuse abantu abafaka izicelo ukubekezela njengoba bamukela umthamo omkhulu wezicelo zabantu ababhalisela ukuthola le mali. Uthe i-system yebo iye igqilazeke ngezinombolo eziphezulu zabantu abafaka izicelo ngakho labo abafakayo izicelo kumele babekezele njengoba nsuku zonke bethola izicelo ezingaphezu kwesigidi. UMnu Letsatsi uthe bangakujabulela kakhulu uma labo abafaka izicelo bengaba nama-akhawunti ukwehlisa umthamo wabantu kolayini njengendlela yokugcina imibandela yeCOVID-19 enqanda ukunqwabelana ndawonye kwabantu. “Sibe nenhlanhla ngoba inom-

bolo yethu ye-WhatsApp okubhalaliswa ngayo seyisebenza kahle. Sinxusa ukuthi kubhalise ngempela abantu abangasebenzi ukukhulula i-system yethu egqilazekayo ngezicelo eziningi ezinye ezifakwa ngabantu abavele benemali ebangenelayo. Sinxusa nalabo abanamabhizinisi amancane abangenisela imali ukuba bathembeke bangabangisani nabangatholi lutho nhlobo. Siye sicindezelwe nayizicelo zabantu abathola imihlomulo njenge-Unemployment Insurance Fund (UIF) nabafundi abafunda ngohlelo lwe-National Student Financial Aid Scheme (NSFAS)

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

okungabasemanyuvesi nasemakolishi,” usho kanje. Kunxuswe abafaka izicelo njengoba le mali izoqala ukutholakala ekupheleni kuka-August ukusebenzisa i-webiste ethi: srd.sassa.gov.za ne-WhatsApp kwethi: 082 046 8553


IKHASI 6

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

AGASTI 2021

INYANGA YABANTU BESIFAZANE NGONYAKA KA-2021 izikhathi zonyaka zeKhomishini. iNingizimu Afrika izosebenzisa leli thuba ukuqhakambisa ukuthi isheshiswe indaba yokulingana ngokobulili kulandela ukubuyekezwa kwesihlanu kwe-Beijing (Beijing +25) ngo-2020 okuveze ukuthi yize kunenqubekela phambili ethile, ushintsho lwangempela beluhamba kancane, futhi alikho izwe elingathi likuthole ukulingana ngokobulili cishe ngeminyaka engama-26 ngemuva kokwamukelwa kwesimemezelo saseBeijing nePlatform for Action ngo-1995.

Umyalezo ovela kuMeya waKwaDukuza wokugubha inyanga yabesifazane. Minyaka yonke, ngenyanga kaAgasti, izwe lethu ligubha iNyanga Yabesifazane, lapho sihlonipha abesifazane abangaphezu kuka-20 000 abamasha baya e-Union Buildings mhla zingu-9 kuNcwaba ngonyaka ka-1956 bekhalazela ukwelulwa kwemithetho yamapasi kwabesifazane. Kulo nyaka kugujwa iminyaka engama-65 yaba khona le mashi yabesifazane yango-1956 eya e-Union Buildings. Unyaka ka-2020 ugubha iminyaka engu-26 ye-Beijing Platform for Action, eyasungula inkundla yokulingana ngokobulili. Isikhumbuzo salonyaka sibanjwa ngaphansi kwengqikithi ethi: “Unyaka kaCharlotte Mannya Maxeke: Ukuqhakambisa amalungelo abesifazane”. Ukuqinisekisa nokuvikela amalungelo abo bonke kube ngumzabalazo oqhubekayo kuhulumeni kanye nabalingani bethu kwezenhlalo, njengoba silwa nobhubhane lwe-Covid-19. Ubhubhane lwe-Covid-19 lube nomthelela esizweni sakithi nakubantu balo ngezindlela eziningi. Okuqale kwaba yinkinga yezempilo sekube nomthelela kwezomnotho, ezempilo, ezemfundo, ukuvikeleka kokudla kanye nokulingana ngokobulili. Abesifazane baphinde babhekane nobhubhane lwesibili lodlame olubhekiswe kwabobulili obuthile, kanye nemithelela yezomnotho ye-Covid-19, kanye nezinxushunxushu zakamuva ezihlasele iKwaZulu-Natali nezingxenye ezithile zaseGauteng. Inyanga Yabesifazane isivumela ukuthi silinganise ibanga esesilihambile ekuguquleni umphakathi, ikakhulukazi ukuguqulwa kobudlelwano bamandla angalingani phakathi kwabesifazane nabesilisa. Siphinde sigxile futhi nasekubhekaneni nengcindezelo yobulili, ukucwasa ngokobuhlanga, ubudala, ukucindezelwa ngokwesakhiwo, nokwenza indawo evumelekile ukuthi abesifazane bakwazi ukulawula izimpilo zabo. Sisonke sihlonipha abesifazane abaningi abaphawulekayo ezweni lethu. • Enyangeni yabesifazane, sihlonipha abesifazane emzabalazweni wenkululeko kanye nabesifazane banamuhla. • Abesifazane bango-1956 nabanye abaningi ababeka umhlahlandlela wokulingana ngokobulili nokufukulwa kwabantu eNingizimu Afrika yentando yeningi. • Izenzo zabo zesibindi zigqugquzele abesifazane ukuthi bathathe indawo yabo efanele ephalamende, kuhulumeni kanye nasemphakathini. • Ngokuzidela kwabo, manje sihlala ezweni elihlonipha abesifazane njengezakhamizi ezilinganayo, ezinamalungelo nezibopho ezilinganayo. • uMthethosisekelo waseNingizimu Afrika kanye nomthetho kuthathwa njengebalulekile ekulwisaneni nokulingana emhlabeni, kodwa-ke, imikhuba yezenhlalo namasiko inomthelela omkhulu emalungelweni abesifazane. • Inyanga yabesifazane imayelana nokubeka obala izinselelo abesifazane abasabhekene nazo, kanye nokugubha impumelelo yabesifazane kuyo yonke imikhakha yempilo. • Ingqikithi yenyanga yabesifazane yonyaka wango-2021 iqinisekisa ukuzibophezela kwethu ekuqapheliseni amalungelo abesifazane. • iNingizimu Afrika iyingxenye yoMkhankaso Wokulingana Ngokwesizukulwane Somhlaba ophokophele ukusebenzisana phakathi kwezizukulwane ukuze kuqedwe ukungalingani ngokobulili. • iNingizimu Afrika ithole isikhundla sokuba ngusihlalo we-Bureau emihlanganweni yama-66 neyama-67 yeKhomishini Yesimo Sabesifazane ngowezi-2022 nango-2023. Ihhovisi leKhomishini lidlala indima ebaluleke kakhulu ekwenzeni lula ukulungiselela, nasekuqinisekiseni umphumela oyimpumelelo

Impendulo yethu ku-Covid-19 ikubeke phambili ukuvikelwa kwabantu besifazane. • Inyanga yabesifazane yowezi-2021 izoletha ukunakekelwa kwezwe ukuthi kugxilwe ku-Covid-19 nemiphumela yakhona kwabesifazane, ukuvuseleleka komnotho waseNingizimu Afrika nokusebenzisa ithuba lokuqinisekisa ukuthi abesifazane bayasizakala ezinhlelweni zokufukula umnotho, kanye nasemphakathini kanye nasempendulweni kahulumeni kudlame olususelwa ebulilini nokubulawa kwabesifazane. • Uhulumeni wethu uyaqhubeka nokugcina isibopho sakhe soMthethosisekelo sokuvikela, ukukhuthaza kanye nokuqhakambisa amalungelo abesifazane. • Uhulumeni uyavuma ukuthi abesifazane bathintintekile yi-Covid-19 futhi ubeka phambili ukuvikelwa kwamalungelo abesifazane. • Izisulu zodlame lobulili ziyakwazi ukuthola ukwesekwa kanye nosizo, kufaka phakathi inombolo yocingo ye-GBV, izindawo zokukhosela kanye nezikhungo ezihlinzeka ngokuxhasa izisulu zodlame locansi. • Inhlangano yezokuphepha komphakathi inyuselwe ukuvikela imindeni esengozini, ikakhulukazi abesifazane nezingane kumthelela wezomnotho walolu bhubhane. • Sizoqhubeka nokuqinisekisa ukuthi izindlela zokuvikela nokuthuthukiswa komnotho zibhekiswe kakhulu kwabesifazane. • Ukukhuthazwa kokulingana ngokobulili nokuthuthukiswa kwabesifazane kuseqhulwini emizameni yethu yokulwa nobuphofu nokugqugquzela intuthuko esimeme. • Abesifazane bayathinteka ngokuwa komnotho ngembangela yeCovid-19. Abesifazane kumele babe yingxenye esemqoka yemizamo yokwakha kabusha nakangcono. Uhlaka Lwenqubomgomo Kazwelonke YaseNingizimu Afrika Yokufukulwa Kwabesifazane Nokulingana Ngokobulili (Uhlaka Lwenqubomgomo Yobulili) luhlose ukwenza lokhu: Ukuqinisekisa ukuthi inqubo yokufeza ukulingana ngokobulili iseqhulwini lwezinguquko kuzo zonke izinhlaka, izinhlangano, inqubomgomo, izinqubo kanye nezinhlelo zikahulumeni, izinhlaka zayo kanye nezinhlaka zikahulumeni, izinhlangano zomphakathi kanye nezinkampani ezizimele. Ukuthuthukiswa kwabesifazane kungukhiye ekuyeni phambili kwesizwe sethu. • Njengoba izwe lisebenzela ukunqoba ukuwa kwezenhlalo nezomnotho ngenxa yeCovid-19, kufanele siqinisekise ukuthuthuka okukhulu kwabesifazane. • Njengoba singena Eminyakeni Eyishumi Yokutshalwa Kwezimali Kwabesifazane, abesifazane kumele babe yingxenye enkulu yemizamo yokuthuthukisa iminotho ebandakanya bonke abantu. • Ukuthuthukiswa futhi kumayelana nabesifazane abathola inkululeko yokubamba iqhaza ngokukhululeka emisebenzini yansukuzonke - njengokuzivocavoca emigwaqeni yomphakathi ngaphandle kokuhlukunyezwa nokubizwa ngamagama noma ezinye izinhlobo zokuhlukumeza ngokobulili. • Ngokubambisana singaqeda ukucwaswa ngokobulili futhi siqhubekele phambili namalungelo abesifazane namantombazane kwezombusazwe, ezomnotho, ezenhlalakahle kanye namasiko empilo. • Kumele siqhubeke nokwandisa izinhlelo nezinqubo ukusheshisa ukubamba iqhaza kwabesifazane ekuhlinzekeni ngamanani entengo ngokuthenga okuncomekayo emkhakheni kahulumeni nowangasese. • Ngokuqinisekisa ukuthi abesifazane bayakwazi ukufinyelela futhi babe ngabanikazi bezinsizakusebenza ezikhiqizayo sizothuthukisa umnotho wethu kanye nesizwe sethu. • Sicela abesifazane ukuthi badlale indima yabo ekuthuthukiseni umnotho ngokubamba iqhaza elibonakalayo ekuqalisweni koHlelo Lokutshalwa Kwemali yengqalasizinda. • Uhlelo Lokutshalwa Kwemali yengqalasizinda luhlose ukuvuselela imboni yezokwakha kanye nokwenza ngcono amakhono kanye namandla ezikhungo. • Kunamathuba okuthi abesifazane baziqalele amabhizinisi abo kanti nohulumeni usazimisele ukukhulisa ukwesekwa kosomabhizinisi besifazane. • Phakathi kwezinto ezibalulekile maqondana

nalokhu, kubalwa ukufinyelela okulinganayo emnothweni, ukukhokhelwa okulinganayo ngomsebenzi onenani elilinganayo, ukwaba ngokulinganayo ukunakekelwa okungakhokhelwa nomsebenzi wasendlini, ukuqedwa kokuhlukunyezwa ngokocansi, kubandakanya nasemsebenzini, kanye nazo zonke izinhlobo zodlame olubhekiswe kwabesifazane namantombazane, ukufinyelela ezinsizakalweni zezempilo ezisezingeni eliphakeme ezibhekene nezidingo zabo, kanye nokubamba iqhaza okulinganayo empilweni yezepolitiki nasekwenzeni izinqumo kuyo yonke imikhakha yempilo. Ukuthuthukiswa kwabesifazane eNingizimu Afrika kumayelana nokubhekana nemithelela yobandlululo kanye nokuguqulwa komphakathi, ikakhulukazi ukuguqulwa kobudlelwano bamandla okungalingani phakathi kwabesifazane nabesilisa, kanye nezinguquko ezibalulekile ezikhungweni nasemithethweni. Lokhu kumayelana nokubhekana nengcindezelo yobulili, ubandlululo ngokobuhlanga, ukucwasa ngokobudala, kanye nengcindezelo yezakhiwo, nokwenza indawo eyenza abesifazane bakwazi ukulawula izimpilo zabo. Imigomo ithembisa ikusasa elingcono • Ukugoma kuhlala kuyisikhali sethu esisebenza kakhulu ekulweni ne-Covid-19. • Imithi yokugomela i-Covid-19 inciphisa ubungozi besifo esibi, ukulala esibhedlela nokufa. • Manje sesihlinzeka ngemithi yokugoma engaphezu kwama-240,000 masonto onke ngosuku. • Kusukela ngomhlaka 1 Septhemba 2021, abantu abaphakathi kweminyaka eyi-18 nengama-34 bazokwazi ukuthola imigomo. • Sicela abantu abakule minyaka yobudala, kanye nalabo abaneminyaka engaphezu kwengama-35 ukuthi baqhubeke nokubhalisa kwi-EVDS. • Sinxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babhalisele ukugoma ngokushesha lapho befanelekile, kungaba ku-inthanethi, nge-WhatsApp noma nge-USSD, noma ngokushayela le nombolo yamahhala ku-0800 029 999. • Ngaphezu kwalokho, abantu manje sebengavele baziveze endaweni yokugoma, noma bengenayo i-aphoyintimenti, bazobe sebebhaliswa bese begonywa. • Abesifazane kumele bakhuthazwe ukugoma, futhi kumele baqinisekise ukuthi amalungu omndeni ayagoma ukuze kunqandwe ukusabalala kwe-Covid-19. Ngokubambisana singalwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane Ukuvalwa kwezwe ngenxa yobhubhane lwe Covid-19 kuveze ukwenyuka kwezibalo zodlame lwasekhaya nokuhlukunyezwa, okushiya abesifazane bebuthathakatha futhi besengozini. • Njengesizwe asikwazi nje ukushaqeka nokwethuka njalo uma kudlwengulwa noma kubulawa umuntu wesifazane noma ingane. • Kumele sidlulele ngalé kokwethuka futhi siqinisekise ukuthi kuthathwa izinyathelo ezinqala zokuqeda lesi sihlava sokuhlukunyezwa. • Asisakwazi ukungakunaki ukukhala kwalabo abasengozini kakhulu phakathi kwethu. Isiko lokubukela kude kumele liphele. Kumele sibike wonke amacala okushaya, ukuhlukumeza nokuhlukunyezwa. • Akumele sikujwayele ukuhlukunyezwa kwabesifazane • Kungumsebenzi wabo bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuqeda isiko lokuthula mayelana nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane nokubika abenzi bokubi emaphoyiseni. • Sonke, kungaba semiphakathini yethu noma emakhaya ethu kumele senze konke okusemandleni ukukhuthaza nokuvikela amalungelo abesifazane nezingane. • Sifuna umphakathi ongenalo udlame olubhekiswe kwabesifazane namantombazane amancane, noma kumphakathi we-LGBTIQIA +. • Kubuye kube nobufakazi obukhombisa ukuthi uma abesifazane bethuthukile kwezomnotho, kunciphisa ukuba sengozini kwabo ekuhlukunyezweni ngokobulili. Singafunda kwabangaphambili. Unyaka kaCharlotte Mannya Maxeke • Umlando wethu ugcwele abantu ababa nentshisekelo ngezwe labo benza izenzo ezihlahla indlela yentando yeningi nenkululeko yethu. • Kulonyaka wezi-2021 kugujwa iminyaka eyi-150 yeqhawe lomzabalazo nomkhankasi wamalungelo abantu u-Charlotte Maxeke. • Yena nabanye besifazane abazidelayo babehamba phambili ekulweleni inkululeko esiyijabulelayo namuhla. • Wasiza ekuhleleni inhlangano elwa namapasi eBloemfontein ngo-1913 futhi wayehamba phambili

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

ekulweleni ubulungiswa emphakathini. • Ngokubambisana singasebenzisa umlando wakhe ukuqinisekisa ukuguqulwa kobudlelwano bobulili kanye nokufukulwa kwabesifazane kwezepolitiki, kwezenhlalo nakwezomnotho, kubandakanya nabesifazane abasebancane nalabo abakhubazekile. • Lo nyaka kumele usetshenziselwe ukugqamisa umlando wakhe, ukulondolozwa kwamagugu akhe nokubungaza ifa lakhe ngokuhlonza, ukuqoqa (izinto zakudala kanye nezinqolobane zomlando), imibhalo, ukusabalalisa kanye nokukhombisa umlando wakhe ocebile futhi ophelele. • Ukuvuselela kabusha ifa likaMama uCharlotte Mannya Maxeke ngokusebenzisa izinhlelo zokuthuthukisa umphakathi kanye nezinhlelo zokufukula abesifazane ezihambisana nezinkolelo nokuqhakanjiswa kwamagugu abekumele kube yingxenye yezinhlelo ezethulwe kulo nyaka. • Kumele sihloniphe amaqhawe abesifazane ikakhulukazi abase-Afrika kanye nezinto abazenzayo ezweni, ezwenikazi nasemhlabeni jikelele. • Lo nyaka umayelana nokubungaza nokukhuthaza abesifazane ukuba benze kahle kuyo yonke imikhakha. • U-2021 umayelana nokugqamisa indima yakhe njengo “Mama Wenkululeko Yase-Afrika” Abesifazane njengabaqhubi besizwe esiphilile • iNingizimu Afrika ikleliswe njengezwe elingenampilo emhlabeni wonke ngonyaka wezi-2019 lapho kunabesilisa abangu-31% nabesifazane abangu-68% abathathwa njengabakhuluphele ngokweqile. • Izingane ezineminyaka engu-6 kuya kwengu-14 ezinesisindo sokukhuluphala ngokweqile okungu-13.5%, okuyisilinganiso esiphakeme kunesilinganiso esingu-10% sokudlanga komhlaba wonke ezinganeni zesikole. • Abesifazane njengabanakekeli badlala indima enkulu ekulawuleni okudliwa amalungu emindeni yabo. • Abesifazane kumele babe maphakathi nemizamo yokuqinisekisa izwe elinempilo. Abesifazane bathinteka kakhulu ekudleni okungenampilo, ukuphepha kokudla, nokukhuluphala ngokweqile kwezingane, njll. • Abantu baseNingizimu Afrika sebeya ngokuya bengenzi lutho futhi lokhu kumele kubhekwane nabesifazane ngokugqugquzela ukubamba iqhaza emisebenzini yokunyakazisa umzimba ekhaya, nasemiphakathini. • Umkhankaso kahulumeni we-2 B Active ugqugquzela abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bakhethe indlela enempilo esebenzayo ukunciphisa izifo ezingathathelwani njengesifo sikashukela nezifo ezihlobene nenhliziyo. Abesifazane banelungelo ngokulingana nokubamba iqhaza kwezemidlalo. • Imidlalo yaseNingizimu Afrika isadinga uguquko kwezobulili. Kufanele kubhekwane nezinkinga zokuhlukunyezwa, ukukhokhelwa okulinganayo, ukumelwa kubaphathi kanye namazinga aphezulu ezinhlangano zezemidlalo. • Abesifazane bamele iNingizimu Afrika ngokuziqhenya kuma-Olimpiki aseTokyo. • Ukugqugquzela ukuzibandakanya kwezemidlalo kuvula iminyango yezindlela zokuphila ezinempilo. • Amantombazane amancane kufanele akhuthazwe ukuthi abambe iqhaza kwezemidlalo, futhi azibandakanye kwezemidlalo eyaziwa njengeyabesilisa ngokwesiko. • Abesifazane abamele iNingizimu Afrika kuma-Olimpiki basebenza njengesibonelo kwabesifazane abasebasha baseNingizimu Afrika. • Uhulumeni waseNingizimu Afrika umi noCaster Semenya empini yakhe yokuqinisekisa ubuyena. Abesifazane njengabakhi besizwe esinokuthula • Ngenxa yezinxushunxushu ezibe khona ezweni kanye nokuntengantenga kwesimo sokuthula, ukubamba iqhaza kwabesifazane emizameni yokugcina ukuthula nasezingxoxweni akumele kunganakwa. • Ukwanda kwemibhikisho nokuphanga okwenzeke ezifundazweni zaKwaZulu-Natal naseGauteng kuyizinkomba zokujula kwezinkinga zepolitiki nezakhiwo kuleli, okumele zilungiswe. Ubuphofu obukhulu, ukungalingani kanye nokusweleka kwemisebenzi kanye nokwahlukana phakathi kwamaqembu nabezepolitiki kanye nokuhlinzekwa kwezokuphepha okunganele kudale ithuba lapho abampofu nababuthakathaka kakhulu bezithole sebephoseka kunoxhaka wezepolitiki. • Uhlelo Lukazwelonke Lokusebenza Kwabesifazane loKuthula Nokuvikeleka olwethulwe ngoMashi 2021 luhlaba ikhwelo lokuthi kwakhiwe isisekelo sokuthula eNingizimu Afrika. • Kumele sigqugquzele ukuthula futhi sigweme izenzo ezibhubhisa intando yeningi yethu esiyithole kanzima. MN:128/2021


AGASTI 2021

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 7

I-Cogta iwele ngelibanzi ngokusebenza kwezimali zika-2020/2021

UMNU Sipho Hlomuka ophathiswe uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal. TSEPO MOTLOKOA ZIHAMBELA phezulu izisebenzi zoMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal kulandela

umbiko omuhle womcwaningi mabhuku oveze ukuthi lo mnyango kawunagcobho ngokusebenzisa budlabha imali yabakhokhi ntela yango-2020/2021 ebiyabelwe lo mnyango ukuthuthukisa umphakathi

owakhele lesi sifundazwe. kuqhilika izihlathi kuMnu Sihle Hlomuka ophathiswe lo mnyango ngaphansi kobuholi bukaMnu Sihle Zikalala ongundunakulu wesifundazwe saKwaZulu-Natal njengoba ehambela phezulu kulezi nsuku ngokusebenza kahle kwezimali zangonyaka wezimali ebiyabelwe umnyango wakhe. Isitatimende esikhishelwe abezindaba wuMnu Senzelwe Mzila okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal siveze ukuthi uMnu Hlomuka uhlabeke umxhwele ngokuhle okwenziwe yizisebenzi zomnyango wakhe ekuqinisekiseni ukuthi imali ebiyabelwe lo mnyango wenze kahle waqinisekisa ukuthi imali yabantu yenza izidingo zabo. Lo mbiko sekungokwesibili uphuma ulandelana ngokusebenza kahle kwemali esuke yabelwe lo mnyango. UMnu Hlomuka uthe ukholwa ukuthi lo mbiko omuhle bawuthole ngenxa yokuzinikela kweNhloko yomnyango uMnu Thando Tubane nethimba abambisene nalo ebeliqinisekisa ukuthi kalikho isenti eliwela phansi kodwa lenza okuzothuthukisa umphakathi waKwaZulu-Natal. “Njengomnyango oyiso elibanzi ekubhek-

eni ukusebenza kwendlu yobuholi bomdabu nokusebenza komasipala sikholelwa ukuthi kumele sihole ngokuba yisibonelo okuyikhona okusenze ukuthi sithole umbiko ongenagcobho ekusebenzeni kwezimali zango-2020/2021. Siqikelelile ukuthi imali yabantu iwenze kahle umsebenzi wayo,” kusho uMnu Hlomuka. Nenhloko yalo mnyango uMnu Tubane isike elijikayo ngokwenza kahle okuholele ekutheni bathole umbiko omuhle wezezimali. UMnu Tubane ubonge uMnu Hlomuka ngobuholi bakhe obuqinisekisa ukuthi umphakathi waKwaZulu-Natal uyazuza kwezentuthuko.

“Njengomnyango oyiso elibanzi ekubhekeni ukusebenza kwendlu yobuholi bomdabu nokusebenza komasipala sikholelwa ukuthi kumele sihole ngokuba yisibonelo okuyikhona okusenze ukuthi sithole umbiko ongenagcobho ekusebenzeni kwezimali zango-2020/2021.”

UMkhandlu nosizo kubafundi

IPHINI leMeya kuMkhandlu waseMandeni, uNkk Phindile Sishi banikezele ngosizo lomfaniswano wesikole kubafundi abangu-85. MAGAYE CELE USEMBHIDLANGWENI wokulekelela abazali bezingane ezifunda isikole uMkhandlu waseMandeni oholwa nguKhansela Thabani Mdlalose. Lokhu kuvezwe nguNkk Phindile Sishi oyiPhini likaMeya kuwona lo Mkhandlu, ubekade

ekhuluma ngesikhathi lo Mkhandlu unikezela ngosizo lomfaniswano wesikole kubafundi baseMandeni abavela ezikoleni ezahlukene. Bangu-85 sebebonke abafundi baseMandeni abagixabezwe yilo Mkhandlu ngosizo lomfaniswano wesikole. UNkk Sishi wenze isibophezelo sokuqhubeka nokulekelela omama babantwana ngaso sonke isikhathi lokhu ukuchaze njengohlelo olumqoka kakhulu. “Kumqoka kakhulu ukuthi nathi njengoMkhandlu waseMandeni kube khona esikwenzayo ukuze omama babantwana bezothola ukulekelela abakudingayo. Sizimisele ngokuthi sibalekelele lapho abadinga khona usizo,’’usho kanje. UNkk Sishi uthe babone kumqoka kakhulu ukuthi bethule lolu hlelo lokunikezela ngosizo lomfaniswano wesikole kubantwana ngoba bayakuqonda kahle kamhlophe ukuthi abazali abaningi babhekene nezinkinga zezimali ikakhulukazi ngalesi sikhathi sokuntengantenga komnotho mawala. Ulimise ngesihloko elokuthi abazali abaningi bakhinyabezekile kakhulu ngoba balahlekelwe umsebenzi ngenxa yokudlanga mawala kobhubhane lweCovid 19. “Baningi kakhulu abazali abaphelelwe umsebenzi ngenxa yomnotho. Iqiniso ukuthi ukuvumbuka kweCorona kudale umonakalo omkhulu kakhulu kubantu abaningi nasemindenini eminingi. Yingakho ke njengoMkhandlu waseMandeni sikubeka eqhulwini ukubaluleka kokuthi sifake

isandla,’’usho kanje. Uthe bakubone kungumsebenzi wabo ukuthi abantwana babathengele umfaniswano wesikole. Uthe umntwana uma ezibona engafani nabanye afunda nabo lokho kuye kumphazamise kakhulu aze agcine esengasaphumeleli kahle ezifundweni zakhe. “Lolu hlelo silubona lumqoka kakhulu ikakhulukazi njengoba

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

kunamakhaza ashubisa umnkantsha. Kumele siqinisekise njengoMkhandlu waseMandeni ukuthi bonke abantwana bayafudumala kahle kungabibikho abantwana abagodolayo ngoba bevela emindenini engakwazi ukuhlinzeka ngezidingo ezibafanele,’’usho kanje.


IKHASI 8

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

AGASTI 2021

Sivubela Intuthuko

EZEMIDLALO

Uphephezelisele phezulu ifulegi laseNingizimu Afrika MAGAYE CELE

UMDLALI weBanyana Banyana, uLebohang Ramalepe osize iqembu lakhe laphesheya kwezilwandle lakwazi ukuthi linqobe indebe ebalulekile.

BAYAQHUBEKA nokuphephezelisela phezulu ifulegi laseNingizimu Afrika abadlali beBanyana Banyana abayibambe phesheya kwezilwandle. Lokhu kuza ngemuva kokuba omunye umdlali wakuleli oyibamba emuva kwiBanyana Banyana, uLebohang Ramalepe enqobele iqembu lakhe isicoco esimqoka kakhulu. URamalepe usize iDinimo Misk yaseBerelus ukuthi ikwazi ukunqoba isococo iBelerus Womans Cup okuyinkomishi ebalwa nezinye ezinkulu kuleliya lizwe. Lo mdlali ngokuzalwa ungowaseGa-Maupa, eLimpompo uthe kuyamthokozisa kakhulu ukubalwa nabanye babadlali abamqoka kakhulu kuleli qembu. Uthe kwakuyisifiso sakhe esikhulu ukuthi

OwakwaMashu nesifiso sokugijima eNgilandi

UTHABO Cele oyinjini yaseNingizimu Afrika onentshisekelo yokuyogijima phesheya kwezilwandle, eNgilandi. MAGAYE CELE ISIBABULI somdlali waseswini saseNingizimu Afrika, uThabo Cele odabuka KwaMashu enyakatho yeTheku sithi okwamanje asizimisele nje ukubuya sizogijima kwiDSTV Premiership lingakafezeki iphupho lokugijma esigabeni esiphezulu saseNgilandi. Lesi silomo okuyimanje sigijima phesheya kwezilwandle sikhuluma kanjena nje yingoba kamuva nje kuke kwasabalala mawala imibiko ebisiyamanisa kakhulu namaqembu ehlukene agijima kwiDSTV Premiership. Phakathi kwamaqembu lesi silomo esike sayamaniswa nawo kubalwa ezikaShintsha Guluva, iKaizer Chiefs yaseNaturena, yiMartzburg United, kanye nezikaManzini AmaZulu fc. Kuzokhumbuleka ukuthi uCele usanda kuhlukana

neqembu lasePortugal abelidlalela iCD Da Piedale okuyiqembu eligijima esigabeni esiphezulu sakuleliya lizwe. UCele ubekade eseqenjini labadlali baseNingizimu Afrika abathole ingqayizivele yethuba lokuba bamele iNingizimu Afrika emidlaweni yama-Olyimpic ebikade igijinyelwa eJapan ngenyanga eyedlule. “Mina isifiso sami esikhulu kunazo zonke ukuthi ngigcine ngilitholile ithuba lokuthi ngikwazi ukuyozibonakalisa kwelinye lamaqembu amakhulu agijima esigabeni esiphezulu saseNgilandi. Ngikholwa ukuthi leso sifiso singafezeka inqobo nje uma ngizoqhubeka nokuthi ngisebenze ngokukhulu ukuzikhandla lokhu,’’usho kanje. Uthe uma lingafezeki iphupho lakhe lokuyogijima eNgilandi angakujabulela kakhulu nokuthi athole ithuba lokuthi asayiniswe yinoma yiliphi iqembu laseSpain eligijima esigabeni esiphezulu sakuleliya lizwe. Ngokusho kwakhe usuke esikhule kakhulu ebholeni likanobhutshuzwayo umdlali osuke esethole ithuba eliyingqayizivele lokuthi agijime kuwona womabili lawa mazwe awachaze njengayizikhondlakhondla ebholeni elikhokhelwayo emhlabeni nje jikelele. Ube esebonga kakhulu kubona bonke abantu baseNongizimu Afrika athe selokhu aqala ukuba umdlali webhola likanobhutshuzwayo bakhombisa ukumeseka kakhulu. Lokho kuyena uthe kusho lukhulu. “Uyazi ayikho into emnandi njengokubona abantu basezweni lakho bekhombisa ukukweseka kakhulu kulokho okwenzayo ngiyabonga kakhulu,’’usho kanje.

ngelinye ilanga azibone egijima eqenjini lebhola likanobhutshuzwayo laphesheya kwezilwandle. Echaza uthe: “Kuyinto enkulu kakhulu kimina ukunqobela iqembu lami isicoco esimqoka njengalesi. Ngiyathembisa ukuthi ngizoqhubeka nokudlala ngokuzimisela kakhulu kunakuqala. Okuyikhona okumqoka kakhulu kimina manje ukubona leli qembu likwazi ukuqukula izindebe.’’ Eqhuba uthe ukusayindwa yileli qembu kukodwa nje yikhona okumnikeza umdlandla omusha usuku nosuku. Uthe kulokoza inhlansi yethemba mayelana nokuthi kungenzeka bagcine bekwazile ukuthi babe yizingqwele zesicoco seligi uma konke kuhambe kahle.“Ngikholwa ukuthi konke okwamanje sisakwenza ngendlela eyamukelekile. Nezinga lokuzimisela kubadlali beqembu lethu liphezulu

kakhulu. Ngenxa yaleso sizathu angingabazi ukuthi kuningi kakhulu esisazokwazi ukuthi sikunqobe ndawonye,’’usho kanje. URamalepe ngokunqoba kwakhe lesi sicoco uhamba ezinyathelweni zabanye ozakwabo beBanyana Banyana abagijima phesheya kwezilwandle esebekwazile ukuphephezelisela ifulegi laseNingizimu Afrika phezulu. Phakathi kwabo kubalwa umgadli wakuleli ogila izimanga uThembi Khatlane, uNokwe Mahloe owake wahlonzwa njengomdlali ovelele ezwenikazi i-Afrika. Iqembu likaRamalepe nelikaRefiloe Jane i-AC Milan yase-Italy yiwona kuphela amaqembu abo akwazile ukuthi azibekisele indawo emqhudelwaneni wabesifazane omkhulukazi i-European Club Competition.

“Badinga ukwesekwa abaqeqeshi bakuleli” MAGAYE CELE USIMON Ngomane oyiNhloko yeKomiti lezobuChwepheshe kwinhlangano iSouth African Coaches Association uthi sesifikile manje isikhathi sokuthi abalolongi baseNingizimu Afrika nabo bathole ukwesekwa abakudingo njengoba kusuke kwenziwa nakubalolongi base-Europy. UNgomane uthi baningi abaqeqeshi baseNingizimu Afrika abagcine sebehluleka ukuletha imiphumela emihle enkundleni ngenxa yokuthi kabakutholi ukuwesekwa okubafanele. UNgomane uthi manje akungabe kusaba khona ukukhetha iphela emasini nabaqeqeshi baseNingizimu Afrika nabo mabasekwe njengoba kwenziwa nakulabo baphesheya kwezilwandle. Lokhu uthi akangabazi ukuthi kungaletha ukukhanya okukhulu kubona bonke abaqeqeshi baseNingizimu Afrika. Echaza uthe: “Kuyiphutha elikhulu ukuthi kuhlonishwe kakhulu abaqeqeshi base-Europe ngaphezulu kwabalolongi bethu balapha eNingizimu Afrika. Akusilona iqiniso ukuthi abalolongi baphesheya kwezilwandle yibona kuphela abanamandla okuthi balethe impumelelo ebholeni likanobhutshuzwayo laseNingizimu Afrika.’’ UNgomane wenze umzekelo osobala ngoMnuz Cuthered Ramalobeli obehlezi ebhentshini ngesikhathi iBafana Bafana inqoba indebe yeCosafa Cup. Ngokusho kukaNgomane ubukeka enekusasa eliqhakazile kakhulu uRamalobeli inqobo nje uma ezonikezwa ithuba elanele kungagcini futhi lapho kodwa aphinde akuthole ukwesekwa akudingayo ngaso sonke

USIMON Ngomane unxusa ukuthi banikezwe ithuba elanele abaqeqeshi baseNingizimu Afrika ukuze bezokwazi ukwenza kahle umsebenzi wabo. isikhathi. Umethulele isigqoko uRamalobeli ngendlela iqembu lesizwe athe belibonakala lihleleke ngalo ngaphansi kwesandla sakhe. Ulimise ngesihloko elokuthi kukude lapho aya khona uma kodwa ezothola ukwesekwa. UNgomane ugcizelele ukuthi manje sekuyisikhathi sokuthi inhlangano yaseNingizimu Afrika yebhola likanobhutshuzwayo, iSouth African Football Associaton (SAFA) yenze konke okusemandleni ayo ngenhloso yokulekelela bonke abaqeqeshi baseNingizimu Afrika. UNgomane ukhuluma kanjena nje kuyabonakala ukuthi uya ngokudlondobala kakhulu umqeqeshi wakuleli uPitso “Jingles” Mosimane we-Al Ahly njengoba enenhlanhla yokuthola ukwesekwa akudingayo kuwona wonke amaqembu awalolongayo.

031 828 0433 / 082 597 6669

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.