Sivubela Intuthuko Newspaper

Page 1

SIVUBELA Intuthuko

ADVERTISING: 067 920 8446 JUNI 2021

FACEBOOK: SIVUBELA INTUTHUKO

SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

LIMAHHALA USHICILELO 62

UMkhandlu nezinhlelo zokuthuthukisa umphakathi

UMnyango nohlelo lokulekelela intsha kwezezindlu

Kumvulele amathuba ukuba sohlelweni lukaMasipala weTheku umsiki wengqephu

Umsubathi waseNingizimu Afrika nephupho lama-olympics

iKhasi 7

iKhasi 4

iKhasi 5

iKhasi 8

OWEZEMFUNDO NOHLELO LOKUGOMA IZISEBENZI ZAWO udaba ekhasini 3. UNKK Angie Motshekga woMnyango weMfundo eyiSisekelo.


IKHASI 2

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

JUNI 2021

UPillay umema intsha ekusimamiseni umnotho wezwe TSEPO MOTLOKOA

UMNU Ravi Pillay ungqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natal.

UMPHATHISWA woMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natal uMnu Ravi Pillay uphonsela inselelo intsha yalesi sifundazwe ukuba mayifuze intsha yango-1940 oNelson Mandela, Steve Biko no-Anton Lembede nabanye abaphumela obala balwela inhlalakahle yabantu kuhlanganisa nomnotho imbala. UMnu Pillay ubekhuluma nentsha yaseMgungundlovu ebihlanganele eNdumiso Campus okuwuphiko olungaphansi kweDurban University of Technology (DUT) lapho obekudingidwa khona ngeqhaza layo emnothweni wezwe. Lesi sithangami besihlelwe ngokubambisan noMasipala waseMsunduzi obumelwe yiMeya yawo uMnu Mzimkhulu Thebolla. Ekhuluma lapha uMnu Pillay uthe uzizwa ethobekile ukuhlanganyela

nabantu abasha abalambele ukungena kwezokuthuthukiswa komnotho wezwe. Ubonge umzungezo abebewenza kusona sonke isifundazwe saKwaZulu-Natal behlangana nentsha kusukela oLundi, eThekwini, eMargate njengoba sebehlangene nentsha yaseMgungundlovu. “Lokhu kuhlangana kwethu kanjena nani asikwenzi ngoba kuyinyanga yabantu abasha futhi sincenge ukuthi nisivotela uma sekukhethwa. Sikwenza ngoba siyakholelwa ekuzweni uvo lwenu ningabantu abasha kwezamabhizinisi njengoba kukhona nabangasebenzi phakathi kwenu. Kuwona wonke amagumbi ezwe kuyavela ukuthi ngabantu abasha ababehola umkhankaso wokulwela uguquko ezingqinambeni zezwe. Lapha kuvela u-Antn Lembede noNelson Mandela ababa sekhaleni lempi yokulwa nobandlululo phakathi kwawo-1940. UBantu Boko wafa eneminyaka eko-30 ephakathi kwabantu abazide-

la befuna ukuguqula indlela yokucabanga kwabantu abamnyama. Sibonga iqhaza elabanjwa yintsha yango-1976 eyazidela ngempilo yayo belwela uguquko kwezemfundo ezaziseka umbuso wobandlululo,” usho kanje. UMnu Pillay uthe intsha yangalo nyaka isesikhathini esimbi njengoba isekhaleni lempi yombhedukazwe weCOVID-19 okumele ibhekane nayo ngqo ukuhlenga umnotho ontengantengayo. “Ukhuvethe lushintshe izinto eziningi njengoba lubangele indlala emakhaya abantu abaningi balahlekelwe yimisebenzi yabo. Siyathemba futhi siyakholwa ukuthi intsha yangalesi sikhathi izobumbana ilwe nokhuvethe ukuze isizwe siphile. Kusemigomweni yethu singuhulumeni ukulalela izimvo zabantu abasha sizwe ukuthi yikuphi abakufunayo ekusimamiseni umnotho wezwe,” usho kanje.

AboMnyango wezeMpilo abe-GCIS neSantaco balwa neCOVID-19 TSEPO MOTLOKA UBUHOLI bukaMasipala waseMsunduzi eMgungundlovu obuholwa wuMnu Mzimkhulu Thebolla oyiMeya kulo masipala bamukele ngezandla ezimhlophe izinhlelo zokugcina abantu abakhele leli dolobha bephila uthe ukhona umoya oqhamuka ngezansi ozwalakayo ukuthi uzokhulula abantu. AbaseMsunduzi bamukele abeGovernment Communication Information System (GCIS) KwaZulu-Natal abebehambisana noMnyango wezeMpilo nobuholi beSouth African National Taxi Council (Santaco) esifundeni saseMgungundlovu abebekhuthaza abantu emarenki akuleli dolobha ukunxenxa abantu abakhulile ukubhalisela umjovo wokulwa neCOVID-19. USomlomo walo masipala uNkk Eunice Majola ukhulume nabantu abasebenzisa iMarket Square Taxi Rank ukuthi mabakhululeke umjovo

kawunalutho njengoba naye esejovile uselinde ukujovwa okwesibili njengoba owakhe kungothathwa kabili. Uthe selokhu ajova kakukho lutho aluzwayo emzimbeni wakhe ngakho abantu mabangahambi belalela wonke amawongowongo akhulunywa ngabantu ngomjovo weCOVID-19. UMnu Thebolla unxuse umphakathi waseMgungundlovu ikakhulukazi ohambela umasipala waseMsunduzi ukuba uzigcine uphephile kulolukhuvethe oluhlalise kabi abantu. Ukhumbuze abantu ukuthi mabayigcine imithetho ebekwe wuhulumeni ekunqandeni ukubhebhetheka kwaleli gciwne ngoba lisekhona lidla silaza nafumuka. “Kuyintokozo kithina siwumasipala waseMsunduzi ukwamukela ithimba labezempilo abahambele amarenki edolobha lethu bekhuthaza abantu ngokubaluleka kokugomela lolu khuvethe. ,” kunxusa uMnu Thebolla.

UMNU Ravi Pillay ungqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natal. UMnu Nhlanhla Nkomo oyisekela likasihlalo weSantaco esifundeni saseMgungundlovu ubonge abeGCIS noMnyango wezeMpilo ngokuza emarenki abo bezokhuthaza abantu ukugomela ukhuvethe. Uthe isifunda

sabo sesilahlekelwe ngamalungu angu-66 ashone ngenxa yeCOVID-19. Uthe ukugonywa kwabantu bayakweseka ngoba baphila ngabo ngakho bayathanda ukubabona bephilile ngaso sonke isikhathi.

uZikalala nesivumelwano esizotakula osomabhizinisi abancane MAGAYE CELE

UNDUNANKULU wesiFundazwe saKwaZulu Natal, uMnuz Sihle Zikalala osayinde isivumelwano esizotakula osamabhizinisi baKwaZulu Natal.

UNDUNANKULU wesiFundazwe iKwaZulu Natal, uMnuz Sihle Zikalala usesayinde isivumelwano sokusebenzisana neBhange, i-African Export Import Bank. Lesi sivumelwano uMnu Zikalala usichaze njengesibalulekile kakhulu. Udalule ukuthi ngenxa yalesi sivumelwano kuzohlomula kakhulu osomabhizinisi abasafufusa baKwaZulu Natal. Uthe njengoba sekukhona ubudlelwano obuqinile phakathi kwesiFundazwe neBhange, i-African Export Import sekuzobalula kakhulu ukuba osomabhizinisi bathole ukusizakala. Ulimise ngesihloko elokuthi osomabhizinisi bakwaZulu Natal sebethole indawo lapho abazothola khona ukubhekeleleka

ikakhulukazi ngokoxhaso lwezimali. Uthe kumqoka kakhulu ukuba osomabhizinisi baKwaZulu Natal bakuthole ukuboneleleka njalo uma befisa ukuthola usizo ikakhulukazi abasuke behlose ngalo ukuthi bafukule amabhizinisi abo. Echaza uthe: “Ngikholwa ukuthi lesi sivumelwano siyinto emqoka kakhulu kithina njengesiFundazwe saKwaZulu Natal. Kuyinto enkulu kakhulu ukuthola iBhange elizimisele ngokusebenzisana neKwaZulu Natal. Okuyikhona okusijabulisayo kunakho konke ukuthi osomabhizinisi bethu ikakhulukazi labo abasafufusa bazokwazi ukuthola uxhaso uma beludinga.’’ UZikalala uveze nokuthi leli Bhange livele seliqalile ukuthi lisebenzisane nezinye izikhungo zikaHulumeni. Phakathi kwazo ubalule iGrowth Fund, Ithala, Dube Trade Port kanye neTrade

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

and Investment esiFundazweni. “Lesi sivumelwano sizophinda sidale ukuthi kube lula kakhulu ukusebenza kubona bonke osomabhizinisi abasafufusa baKwaZulu Natal okuyinto esiyishayela ihlombe elikhulu. Leli Bhange lizophinde lifake isandla ngenhloso yokulekelela osomabhizinisi baKwaZulu Natal ukuze bakwazi ukuthi basababalise imikhiqizo yabo ezwenikazi i-Afrika,’ ’kusachaza uZikalala. Kuhlalukile lapha ukuthi iBhange i-African Export Import lisungulwe ngo-1993. Linokomkhulu lalo eGibhithe. Isikhulu esiphezulu saleli Bhange, uMnuz Orama uthe kulokoza inhlansi yethemba ngezithelo ezinhle ezizobonakala ngobudlelwano obuphakathi kwabo kanye nesiFundazwe, iKwaZulu Natal.


JUNI 2021

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 3

OwezeMfundo nohlelo lokugoma izisebenzi zawo TSEPO MOTLOKA UMNYANGO weMfundo eyiSisekelo kuzwelonke uthi kakusekho ukujikela emuva kwendlu ngohlelo lokugonywa kwezisebenzi zawo kuhlanganisa othisha, onogada, abahlanza izindlu nabenza eminye imisebenzi ezikoleni ukunqanda ukungenwa yihlahla lesithathu leCOVID-19. UNgqongqoshe walo mnyango kuzwelonke uNkk Angie Motshekga wethule uhlelo lokugonywa oluqale ngaleli sonto njengo izwe liphinde labuyela esigabeni sesithathu semvalelwa ndlini. Ekhuluma nezwe uNkk Motshekga uthe bewumnyango bazimisele ukuthi kuthi kuqamba zivalwa izikole ngenyanga ezayo kube sekuphothuliwe ukugonywa kothisha. Uthe uhlelo lokugonywa kwezisebenzi kakubhekile izisebenzi zabo kuphela kodwa wonke umuntu obambe iqhaza emnyangweni wabo kuhlanganisa abaphekela izingane nabashayeli bezimoto zasesikoleni. “Sifuna ukuphuthuma ukuze kuthi kuvulwa izikole abafundi sebebya kube ukuthi sesihambe ibanga elide nokugoma. Siyajabula ngoba imijovo seyikhona futhi ifike ngesikhathi nezifundazwe sezimi ngokumo ukuthi izosatshalaliswa kan-

jani ezikoleni. Asikho isidingo sokuba othisha babhalisele ukugonywa ngoba vele kwi-system yethu bekhona njengoba beqashwe ngokugcwele,” usho kanje. UNkk Motshekga uthe kaziphoqiwe izisebenzi zazo ukugoma kodwa kukumuntu ukuzikhethela nempilo yakhe kodwa bayazikhuthaza izisebenzi zabo ukuthi zigome ukuze ziphephe kungaphazamiseke ukufunda lapho sezihlabekile. “Siyacela ukuthi labo abazobe bejovele umkhuhlane futhi zingakapheli izinsuku eziwu-14 ukuthi balinde kuze kuphele lezi nsuku ukuze imijovo ingezukuxabana egazini. Nalabo abazobe bezivalele ngabodwana emuva kokuhlangana nabahaqwe yiCOVID balinde okungenani izinsuku ezingu-30 bese beyajova uma sezidlulile. Sicela abantu bazenzele izinhlelo zokufinyelela lapho kuzobe kugonyelwa khona kodwa umnyango uzongenelela ulekelele uma kukhona izingqinamba abahlangabezana nazo. Siyikomidi lezemfundo sinqume ukuthi wonke umuntu obambe iqhaza esikoleni agonywe kungabi sengathi sibheke othisha bodwa kodwa kasikhethi muntu kusukela esangweni konogada, emahhovisni komabhalane, ekhishini, engadini nabahlanza izindlu,” usho kanje.

“Siyacela ukuthi labo abazobe bejovele umkhuhlane futhi zingakapheli izinsuku eziwu-14 ukuthi balinde kuze kuphele lezi nsuku ukuze imijovo ingezukuxabana egazini.”

UNKK Angie Motshekga woMnyango weMfundo eyiSisekelo.

IMeya yetheku ikhuza umphakathi ungalahli imfuncuza noma ekephi

IMeya yeTheku, uKhansela Mxolisi Kaunda ezokhuza umhlola kokuchithwa kwemfuncuza nokukubheka ukuhanjiswa kwentuthuko MAGAYE CELE IMEYA yoMkhandlu weTheku, uKhansela Mxolisi Kaunda uhambele endaweni yaseCato Crest ngenhloso yokuyobheka ukuthi kuhamba kanjani ukuhanjiselwa kwabantu bakule ndawo izidingo zabo. Kuzokhumbuleka ukuthi uKhanse-

la uKaunda uhlale elishumayela njalo ivangeli lokubaluleka kokuba intuthuko ibonakale ifinyelela kubantu futhi lokho kungahambi ngonyawo lonwabu. Phaktahi kokunye uKhansela Kaunda abehlose ukukubheka okanye ukukuzwa ngokuhambela kwakhe kule ndawo yizingqinamba kanye nezinselelo okungen-

zeka ukuthi zikhinyabeza ukuhanjiswa kwezidingo kubantu bakule ndawo. Bekungesikhona okokuqqala uKhansela uKaunda ahambela le ndawo uke wafika nangaphambilini. Kwaba khona izinto angagculisekile ngazo ayefuna ukuba zilungiswe ngokushesha. Ukugcinwa kwezinkundla zezemidlalo zisesesimweni esifanelekile ngaso sonke isikhathi ngezinye zezinto ezivezwe nguMeya weTheku, uKhansela uMxolisi Kaunda. Unxuse ukuba amalunga omphakathi wakule ndawo asebenzisane ngaso sonke isikhathi ngenhloso yokubhekana nje ngqo nazo zonke izinselelo okungenzeka ukuthi ziyisithiyo kule ndawo. Uthembise ukuthi nangenyanga ezayo kaJuly uzophinda ahambele kule ndawo afike abheke ukuthi isimo sayo sihamba kanjani ngoba uhlose ukubona le ndawo iba ngengcono kakhulu kunakuqala. IMeya uKaunda uthe akangabazi ukuthi uma kusetshenzwa ngokubambisana le ndawo ingaba ngesesimweni esihle kakhulu. Ezinye zezinselelo uMeya uKaunda akhale ngazo ngesikhathi ehambele le ndawo kube ukulahlwa kukadoti noma ikanjani athe kuyinto engamukelekile nje nhlobo. Unxuse ukuthi kube khona okwenziwa yilo mphakathi ngenhloso yokunqanda

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

lesi simo agcizelelile ukuthi kasimjabulisi nje nhlobo. Echaza uthe: “Enye yezinselelo engiyibonile kule ndawo ukulahlwa kwezinto isinoma yikanjani. Lokho angikusho nje ukuthi akukukuhle futhi kuyinto engamukelekile nje nhlobo. Sinxusa ukuthi kube khona ukubambisana nokusebenzisana kumalunga omphakathi ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi lokhu akube kusenzeka.’’ UMeya uthe kuzoba khona ithimba likaMasipala elizojutshwa ukuba lizobheka ukuqhuma kwamapayipi kanye nokulahlwa kukadoti noma ikuphi.

“Enye yezinselelo engiyibonile kule ndawo ukulahlwa kwezinto isinoma yikanjani. Lokho angikusho nje ukuthi akukukuhle futhi kuyinto engamukelekile nje nhlobo.”


IKHASI 4

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

JUNI 2021

Uhulumeni waseKZN ethule i-Operation Vula

UMNU Ravi Pillay noMnu Sihle Zikalala bedlulisela isheke komunye ohlomule kwi-Operato Vala, ababukelayo iNkosi Phathisizwe Chiliza, uNdlunkulu Thobekile Maphumulo iMeya yaseMgungundlovu District noMnu Mzimkhulu Thebolla iMeya yaseMsunduzi. TSEPO MOTLOKOA UHULUMENI waKwaZulu-Natal oholwa uNdunankulu uMnu Sihle Zikalala wethule uR300 million ngaphansi kwe-Operation Vula ukulekelela intsha ukusungula amabhizinini ngenhloso yokuziphila nokuxosha ikathi eziko

emakhaya. I-Operation Vula yethulwe eMgungundlovu lapho uMnu Zikalala ethe inhloso yabo benguhulumeni wesifundazwe ngalesi sikhathi bafunau kuqinisekisa ukuthi kukhona imikhiqizo evela emalokishini nasemakhaya akulesi sifundazwe. Lapha uMnu Zikalala obuye wadlulisela

izinsiza kusebenza kwabebefake izicelo zokulekelelwa kwintsha yaseMgungundlovu kuhlanganisa okokupheka, izimoto, ama-computer nokusetshenzisa kwezolimo. Ube esexwayisa laba abathole uxhaso ukuthi lezi nsiza abazitholile kuyicala elibovu ukuzidayisa ngendlela yokuzenzela imali eceleni. Ucele laba abathole lolu xhaso ukuthi uma kwenzeka amabhizinisi abo engasimamai basize bazibuyisele emuva kuhulumeni izinsiza abazitholile. Emasontweni ezayo uhulumeni waKwaZulu-Natal ehlanganisa amalungu e-Executive Council nongqongqoshe beminyango ehlukene uzohambela ezinye izifunda ukuyodlulisela uxhaso kwababefake izicelo zoxhaso ukuze nabo baqale basebenze emabhizinisini abo. “Ngalolu hlelo kuzohlomula amabhizinisi amancane angu-1000 okuyilawo amalungu awo abefake izicelo zokuxhaswa. Njengamanje sekuphumelele izicelo ezingu-1021 athola uxhaso olufinyelela kuR299 157 million. Kulezi celo eziphumelele ezingu-923 bezifafana okwenze ukuthi uxhaso lwazo kube ngolukaR200 000. Zikhona nezinye izicelo ezithole uxhaso lukaR200 000 kuya kuR500 000. Siyethemba ukuthi le Oper-

ation Vula izoba usizo njengoba izodala amathuba omsebenzi angu-10 816,” kusho uNdunankulu uMnu Zikalala. UMnu Ravi Pillay ongungqongqoshe woMnyango wokuThuthukiswa koMnotho ezokuVakasha nezeMvelo esifundazweni obeyingxenye yokwethulwa kwale-Operation Vula eMgungundlovu uthi amabhizinisi amancane abamba elikhulu iqhaza ekusungulweni kwemisebenzi ukulekelela abantu abadla imbuya ngothi. Uveze ukuthi emazweni asethutthukile u-80% wamabhizinisi akhona kube ngamancane abambe iqhaza ekusimameni komnotho. Uthe nesifundazwe sizozuza kakhulu ngokulekelela osomabhizinisi abasafufusa ngokwehlisa ukuntuleka kwamathuba omsebenzi. Lamabhizinisi abexhaswa lapha u-42% asungulwe ngabantu abasha abangaphansi kweminyeka engu-35, bese kuthi u-49.5% ubhekwe ngabantu besifazane lokho okushayelwe ihlombe elikhulu. UMnu ZIkalala noMnu Pillay bathembise ukuthi kulaba abanezicelo ezingaphumelelanga bazolekelelwa kubhekwe ukuthi izicelo zabo kaziphumelelanga uma kwenzenjani.

UMnyango nohlelo lokulekelela uMasipala weTheku nokutakula i-ICC intsha kwezezindlu

UNGQONGQOSHE wezokuHlaliswa kwaBantu esiFundazweni, iKwaZulu Natal uMphathiswa uJomo Sibiya ogqugquzela abantu abasha ukuba bangene kwezokwakhiwa kwezindlu. MAGAYE CELE UMNYANGO wezokuHlaliswa kwabantu esiFundazweni, iKwaZulu Natal sewusayinde isivumelwano semali engu-R150 million ozoxhasa abantu abasha bakulesi siFundazwe abanentshisekelo enkulu yokungena ebhizinisini lokwakhiwa kwezindlu.UNgqongqoshe walo Mnyango uMphathiswa uJomo Sibiya kanye noNkk Pam Tshwete oyiPhini likaNgqongqoshe eMnyangweni wezokuHlaliswa kwabantu eNingizimu Afrika yibona abasayinde lesi sivumelwano esimqoka kakhulu kubantu abasha besiFundazwe. Bobabili bakuchaze njengento emqoka kakhulu ukwesekwa kwabantu abasha ikakhulukazi labo abanothando olujulile lokungena ebhizinisini lezokwakhiwa kwezindlu. UMphathiswa uJomo Sibiya uthe inhloso

enkulu kakhulu kaHulumeni wesiFundazwe saKwaZulu Natal ukunikezela ngosizo lweqophelo eliphezulu kubona bonke abantu abasha abafisa ukuzibandakanya nalolu hlelo aluchaze njengolumqoka kakhulu.“Kuyinto emqoka kakhulu ukwesekwa kwabantu abasha ikakhulukazi kulezo zinto abanothando lokuzenza. Ngikholwa ukuthi kungumsebenzi wethu njengohulumeni waKwaZulu Natal ukungenelela senze isiqiniseko sokuthi liyafezeka iphupho labantu abasha kwezokwakhiwa kwezindlu,’’usho kanje. Eqhuba ukuchaze njengento eseqhulwini kubona ukuqinisekisa ukuthi abantu abasha baKwaZulu Natal bawathola ngokwanele amathuba kwezokwakha. Lokhu uthe ukholwa ukuthi kuzoholela ekutheni sikhule kakhulu isibalo sabantu abasha ababa nentshisekelo yokuzibandakanya nalolu hlelo. USibiya ukuqinisekisile ukuthi bazolekelela abantu abasha babacathulise ukuze nabo bezoqonda kahle ngakho konke okuqhubekayo kwezokwakhiwa kwezindlu. Echaza uthe: “Okuyikhona esikuhlosile ukuthi sibone abantu abasha bethu beba yingxenye yezokwakhiwa kwezindlu. Sifuna nokuqinisekisa ukuthi abantu abasha abangena kulolu hlelo bagcina sebekwazi ukuthi badale amathuba omsebenzi ukuze kuzosizakala nabanye abantu abasha abadinga imisebenzi.’’ USibiya ugcizelele ukuthi bazokwenza isiqiniseko sokuthi basebenzisana nezinhlaka ezahlukene ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi lolu hlelo kalubhuntshi kodwa kunalokho luba nenqubekela phambili. Luphinde lubonakale lukapakela nasezindaweni ezingaphandle kweDolobha, iTheku.

MAGAYE CELE

IMEYA yoMkhandlu weTheku, uKhansela Mxolisi Kaunda usememezele imali eshisiwe athi izosetshenziselwa ukutakula indawo yokusingatha imibuthano yeqophelo eliphezulu yaseThekwini, iNkosi Albert Luthuli Convention Centre (ICC). Ukutakulwa kwalesi sikhungo esesizakhele igama ngokusingatha imibuthano emikhulu yaseNingizimu Afrika, ezwenikazi i-Afrika kanye neyasemhlabeni jikelele kuthakaselwa ngabantu abaningi baseThekwini. UKhansela uKaunda udalule ukuthi ingu-R15 Million seyiyonke imali ezostshenziselwa ukufukula lesi sikhungo esihlonishwayo emhlabeni. Ukuphumelela kwalesi sikhungo ukusingatha imibuthano yeqophelo eliphezulu ngempumelelo kugcine kuyibeka ebalazweni iNingizimu Afrika ngenxa yaleso sizathu kumqoka kakhulu ukuba silekelelwe uma sidinga usizo ngokusho kukaKhansela uKaunda. Udalule ukuthi lesi sikhungo siyaqala ukudinga usizo lwemali njengoba ethi besihlale senza kahle kakhulu eminyakeni yonke ngaphambi kokuba sikhinyabezwe ukubheduka kokhuvethe iCorona eliholele ekuntengantengeni komnotho ezweni lonke kanjalo nasemhlabeni jikelele. Echaza uthe: “Kuyasijabulisa kakhulu ukuphonsa itshe esivivaneni ngenhloso yokulekelela lesi sikhungo esiziqhenyayo kakhulu ngaso njengeTheku. Iqiniso lithi lesi sikhungo sesenze umsebenzi omuhle kakhulu. Futhi ukwenza kahle kwaso kuholele ekutheni iDolobha iTheku ligcine lisebalazweni.’’ Eqhuba uKhansela uKaunda ulibeke ngesihloko elokuthi lesi sikhungo besenza kahle kakhulu

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

ISIKHULU esiphezulu sesikhungo saseThekwini, i-ICC,uNkk Lindiwe Rakharebe. futhi senza inzunzo enhle ebonakalayo ngaphambi kweCorona. Uthe bayazigqaja kakhulu ngokusebenza kwaso kahle zikhathi zonke. ‘’Iqiniso ukuthi ngaphambi kokuba kubheduke iCorona emhlabeni, lesi sikhungo besikade senza kahle nje impela. Besenza inzuzo enhle kakhulu nyanga zonke minyaka yonke. Yingakho sithathe isinqumo sokuba siseseke ikakhulukazi kulesi sikhathi esibucayi kangaka esibhekene naso,’’echaza. Esephetha uKhansela uKaunda uthe kulokoza inhlansi yethemba ngokuthi lesi samba abasifakayo kulesi sikhungo sizokwenza umehluko omkhulu kusona. Uncome kakhulu nobuholi obuphezulu baso ngendlela obusebenza ngokuzikhandla ngakhona. Wathi sengathi bungaqhubeka nje buyibambe kanjalo zikhathi zonke.


JUNI 2021

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 5

BNY G 2 O 0 3- 02 E0T 3H 0 E K WI ITN H I W F ROI CBA E ’S M A R I NN GG A A BML EB IC ILT IY E IKL LU B EL IA Y L OI SNT GC U QNAD LPI VHE A

Kumvulele amathuba ukuba sohlelweni Uhlelo lwe-Academy of Learning EThekwini lukaMasipala weTh eku umsiki wengqephu Municipal

lunika ulwazi namathuba amaningi

K

UMnuz Sipho Lushaba uthi ukuba ohlelweni lukaMasipala weTheku kumvulele amathuba amaningi kwamfundisa okuningi ngezemfashini

Academy IZINHLELO:

UBAFUNDI abanikwa imifundaze, A. COOPERATIVE noma abangena EDUCATION ohlelweni lokufunPROGRAMMES: dela imisebenzi, Lolu hlelo ludidiyela ulwazi lokhu kufana nokubamba lwemfundo lwasesikoleni ijekphothi. nalolo lwasemsebenziUkuqeda le nkoleloze ni uqobo. Uhlelo lusiza ethi iziqu ezingenasipiliabasanda kuqeda iziqu yoni zifana nephepha nje zabo nalabo asebezoqeelingasho lutho, kungesinye da izifundo zabo ukuba sezizathu ezinkulu ezadala bathole isipiliyoni somseukuthi idolobha lisungule benzini. i-EThekwini Municipal Enye yengqephu kaMnuz Sipho Lushaba ongumnikazi wenkampani iSVL Designs. Izithombe zithunyelwe. Academy (EMA). I-EMA B. LEARNERSHIPS: ithathwa njenge ‘big brother’ ekwenziweni kwaleli ukuba Lolu jezi hlelokulandela lufaka izifundo kakhulu kuMasipala weTh eku ngethuyama-Olympic kanye namaParalympic NOKULUNGA MAJOLA kubafundi ngokubanika zolwazilokubacathulikanjalo nesipiliybebeyingxenye yohlelo ba onginike lona lokuthuthukisa ikhono Games. Kanti kulonyaka kungokokuqala amakhono afanele anomoni sokwenza sa kukhomba ukuthi lolu hleloumsebenzi luthela lami,” kusho uMnuz Lushaba. Uthi nakuba uMr Price usebenzisana nabasiki bengqethelela omkhulu, imifunda“Angikholwanga ngenkathi bengaziuqobo wohlobo oluthile, ze, ukufunda umsebenzi, izithelo ezinhle.Siyaziqhenya ngokukwazi bengebaningi abantu abawaziyo umsebenzi phu baseTh ekwini abasebasha sa ukuthi ngizoba yingxenye yabasiki isikhathi esithile oluzosiza noqeqesho lwasemsebenabanethalente bese wakhe kodwa uyazama ukuthi awuthengise ukuvundulula abasiki nabebeyingxenye yohlelo lukaMasipala bengqephu abazobamba iqhaza ekusikukuba umfudi athole iziqu zini oludingekayo ukuze sibalungiselela ukusebenza embonini abanasezinkundleni zokuxhumana nokum-iFirefighters lwe-2020 Durban Fashion Fair. lokuqeqeshela weni kwejezi lethimba lakuleli elizosimezisemthethweni ezibhalAbabambiqhaza bangaphambilini bohlelo amakhono ezokucisha umlilio, umfundi aqedele izifundo kuyo, ” kusho iMeya uKaunda. sebenzelayo ikakhulukazi njengoba eseke UMnuz Lushaba oneminyaka engama-27 iswe kwi-South African ela emidlalweni yama-Olympics nama Skills Training Programme, ehlinzekwa wuhlaka lwezemfundo i-eThekwini Municipal Academy. zakhe – lokhu nje okumbalQualification Authority Uphinde wathi uyakujabulela ukuthi wakhombisa ngekhono lakhe kwi Durban uthi uthando lwakhe lokuthunga lwaqala Paralympics ngenyaka ezayo,” wa emathubenieTokyo ahlinzekwa (SAQA). umsebenzi walaba basiki bengqephu Fashion Fair. “Umsebenzi wami uhlukile ngokuthi abukele umama wakhe naye kusho uMnuz Sipho Lushaba weSVL yi-EMA. usuzobonwa wumhlaba wonke nokuyinngokuthi mina angivele nje ngikuthungele ongumthungi. “Umama uyena owangigqI-EThekwini Designs. Municipal C. SKILLS Academy (EMA) igxile qubekelaphambiliPROGRAMMES: embonini yezemfashini noma yini kumele ungitshele ngawe unugquzela ukuthi ngilandele iphupho lami ekufundeni nasekuthuthukeeNingizimu Africa. gibeke esithombeni ngempilo yakho ebese lokuba umthungi wengqephu. Bengihlala Lensizwa esencane yaseNanda, eNyakatho LeziImidlalo izinhlelo yama-Olymezihambisana ni njengoba izama ukuba wezemidlalo eminingi ngimbukela nokwagcina sekufaka lenhlansi mina nethimba lami sihlangane sikwenzele pics ingumcimbinomsebenzi othile futhi yeTh eku ithi lelithula eliyingqayizivele isikhungo sokufunda esiuma seziqediwe, zizokomelwe umhlaba wonke, nezinhlobo lento ehambiselana nawe kanye nempilo kumina, ” kusho uMnuz Lushaba. ilithole ngemuva kokuba ibe sohlelweni hamba phambili komasipala wakha izifundo nezizweezibhaliswe ezingaphelukaMasipala weTh eku lokuhlomisa abasiki Uthi ngokwesifiso sikababa wakhe uneziqu yakho, ngenye indlela sixoxa udaba lwakho zemidlalo ezingama-35 bonke base Afrika, sokwenza kwi-National Qualification zu kwama-200 ezibambe iqhaza. Imidlalo ngengqephu esikwenzela yona,” kusho zeBusiness Management neze Financial kahle, sokuqamba okusha,olubizwa bengqephu abasafufusa Framework (NQF). NgapheyamaParalympic ingumcimbi omkhulu uMnuz Lushaba. Ngaphandle kokuba Thobile umManagement. ubethanda ukuthi sokufunda nokuthuthuka. Siphesihle owathola “Ubaba Abongile Luthuli, Siyanda Cebekhulu, ngeDurban Faishion Fair ngonyaka odlule.Myeza Cele, zu kwalokho, ukwakheka Umnyango unkunayo yonke onamakhodi wengqephu, uMnuz Lushaba osohlelweni uthanda ngingene kwezamabhizinizi nokugcineistini siki umfundazwe wobunjiniyela osohlelweni lokubeka osohlelweni kwe-Graduate Uthi emvawakwa-EMA kokuba ebe ngomunye lukagesi nokwenziwaamaningi kwazo kufaka enqwaba yezinhlelo ezifaka wabasubathi abakhubazekile obandakanya izinkondlo nokuzigcina ephilile ngokuzsekwenzekile ngoba ngisebhizinisini Work Experience owahlabana kulomcintiswane, ukubambisana phakathi ukufundisa intsha nabadala izinhlobo zezemidlalo ezingama-22 kanye ivocavoca nangokudla ukudla okunemkanti futhi ngenza into engiyithandayo, ” kwabaqashi nabahlinzeki njengomklomelo wakhe ube eseba Isibonelo esihle semiOmunye onamaphUThobile Cele, wathola ngamakhono olimi nezibabemisebenzi. namazwe angaphezu kuka-96 abambe pilo. “Engingaluleka ngakho abathungi kusho uMnuz Lushaba. Ngokusho kwakhe kulelithimba elithunge lelijezi elethulwe phumela yemisebenzi upho amakhulu afisa ngamathuba akwa-EMA USiyanda Cebekhulu lo, ukukhuthaza ukufunda iqhaza. Kanti kulemidlalo ezoba amaabasafufusa landela iphupho lakho EzaseGagasiwafundela ukuthunga esikoleni iLindiwe yakwa-EMA umfundaze ukuwabona ephumelengokufunda usohlelweniukuthi lakwa-EMA emcimbini wezemfashini Albert ngomsebenzi, amabhiz- eNkosi D. APPRENTICESHIPS: owanikwa uSiphesihle la, u-Abongile Luthuli ni Metro, okuyiphephandsonto amabili kusuka ngoJulayo kuya ku lwabafundi abasanda wenze into oyithandayo ungalandeli imali Academy of Fashion Design nokuthe uma inisi amancane, izinhlelo Luthuli International Convention Centre Lezi yizinhlelo ezihambisaMyeza (22) njengamanje obhalise ohlelweni aba loMkhandlu. UCele kuqeda iziqu zabo iGAgasti amehlo azobe ethe njo ethimbeni nodumo kodwa uqinisekise ukuthi umseephothula wabe esefaka isicelo sokungena zokuqeqesha eziphakanyngomhlaka 10 kuJune. Lomcimbi na nomsebenzi othile uma osebenzela uMasipala lwakwa-EMA lokubeka isicelo sokuba raduate Workusezingeni. ExperienceKonke wafaka iswe ngabasebenzi, amaNlaseNingizimu Africa nokubhekeke ukuba benzi wakho okwenzayo kuloluhlelo lokaMasipala lokuqeqeshubuhlelwe yiMr Price Sport, ngokubambisseziqedile zakha izifundo kwaRoads and Stormwater istini (Bricklaying Apprenyingxenye yohlelo lwakwa Programme. Njengamanje GO kanye nomphakathi. liyinqobe lemidlalo. UMengameli weSascoc kwenze ngomqondo ovulelekile, ” kusho wa abanolwazi olunzulu kwezemfashini ezibhaliswe kwi-National ana noMasipala weTh eku neSouth African Maintenance Office (Westtice Programme). Abak- EMA lwe-Electrical Apusebenza njenge-Project Ukulungisa nokukhuphula Qualification Framework uBarry Hendricks uthe: “Kuyamangalisa uMnuz Lushaba. Emcimbini wokwethulwa (mentorship). Loluhlelo Sports Confederation and Olympic ern Region). “Amagama wa-EMAluthatha basiza loizinmhlali prenticeship Programme. Administrator (Graduate) izinga lokufinyelela ezinhlel(NQF). ukuthi ithimba laseNingizimu Africa likkwalelijezi, oyiMeya kaMasipala weTh eku yanga eziyishumi. “Ukuba kuloluhlelo angeke aveza ngokwanele oneminyaka engu-25 Waqala ukufunda ngomCommittee (SASCOC). ngaphansi kwaka-EMA weni eziqondene nemiseukukhombisa ithalente eliyisimanga uMxolisi uthe lokhu kuyimpukakhulu ngoba kungikhulisile ngibongakungisize kanwaseMlazi ukuba azakhele sebenzi wakhewazi ngo 2019 ohlelweniKaunda lwabo lweUMrnakho Price uthole isivumelwanoukuthi seminbenzi kungumsebenzi E. SUPPORT BASED gakanani kuMasipala esiqinile ngokufuthi uma konke kuhamOutreach and Capacity lalaba basiki bengqephu abane enkundleni melelo kuMasipala weTheku njengoba ngokomsebenzi isisekelo wami futhi kwanginika wakwa-EMA. yaka emine sokunikela ngejezi ethimbeni PROGRAMMES: ngokunginika umfunmamukela kulolu hlelo. ba kahle, uzoqeda lolu Building Department. uhlelo lweDurban Fashion Fair salusunINhloko yakwa-EMA: Dkt nethuba lokuthi ngikhombise ngomseenkulu yezemidlalo. ” lakuleli emicimbini emikhulu yomhlaba, Abakwa-EMA basebenza dazwe. Unginikebenzi ithuba Emva kokuqeda izifundo hlelo ngo 2022. Abafundi UCebekhulu wenza izifun-abasafufusa. Mpilo Ngubane uchaze gulela ukuhlomisa abasiki wami kwenye yezinkundla ezinkulu kubandakanya nalemidlalo yaseTokyo kanzima ukuqinisekisa lokufingqa imikhono zeminyaka emibili ze-Civil be-Electrical Engineering do zeBachelor’s Degree wathi: “Ukungaqashwa “Ukubamba iqhaza kwalaba basiki abane kuleli wabonwa Engineering, izwe lonke. Ngiyabonga ukuthi abahlali bayakwazi yami, ngithole isipiliyoni ezazifaka bathe ithuba abalinikwa in Correctional Studies kwentsha, ikakhulukazi ukuthola ulwazi ngamathusomsebenzi nokwasiza nokubeka istini nokuplasabakwa-EMA liyivela (Justice System) kanye abafundi abaqede iziqu zabo, ba nezinhlelo zokufunda kakhulu eziqwini zami tela, wangena kwa-EMA. kancane. “Ngingumuntu ne-Postgraduate Diploma kuyaqhubeka nokuba inselenokuqeqeshwa. Lokhu ze-BSc Civil Engineering Uqale uhlelo lwakhe ozibambelayo. Ngiyawuin Community Devello kuMasipala waseThekwini. kuzosiza abahlali ukuba baDegree (University of lokufunda lweminyaka jabulela umsebenzi opment Ongoye. Uthe Uma kuqashwa, izinkampani bambe iqhaza ekuthuthuKwaZulu-Natal). Ngapheemithathu ngo-October owenziwa ngezandla, ukuba yingxenye yohleeziningi zidinga abafakizicekisweni kwamathuba nogesi kubalwa ukushubha, ukulungisa ngokomsebenzi ngemuva kokuba bephoakalitholanga lelithuba ngabe usantanta zu kwalokho, umfundaze 2020. “Ithuba uMasipala ukwenza into isebenze lo lwe-Graduate Work lo abanesipiliyoni ngakho omnotho, kube kwakhiwa nokukhipha izitifiketi ezisemthethususe omkhulunamanje umthwalo waseThekwini angiphe thule iziqu zabo.“Ngiyazi kanjani noma isebenzekanye kangcono. ufuna isikhala ukuze akwazi Experience kuyithuba kunzima ukuthuthukiswa kwamakabasebenzi abanamakhowezezimali kimi, kufanele izifundo lona, lingaphezu kwemangumuntu elihle lokuthola zikagesi. “Kuye kungiphathe kabi ukufuna isikhalaisipiliylapho uzotholaNgifuna khona ukubaweni ukuphothula zakhe ze Electrical hono kudlala indima enkulu no. ngabe ngicwile ezikweli. Bengifuna osebenza kanti intsha eningi oni somsebenzi njengo- owenzayo ukubhekana namazinga ukubona iphelela ezidakamukuqeqesheka emsebezini kun- ngogesi Engineering azenza e Coastalukuthola College letini, kepha ngenxa yalo “Kuyinkinga uqeqeshokakhulu oluyilonalona amagama awanakuchaza muntu omncane aphezulu okungaqashwa izweni abanye behleli emakhaya bengenayo gapheleli esikoleniosanda ezincwadini kuphela, eThekwini. kithina mfundaze, ngiyakwazi ngifunde nakho konke ukuthi ngibonga kangakuqeda izifundo zakhe. kwentsha kanye/noma imali yokuqhubeka nokufunda. Siyintsha kudingeka ukuthi lokhu okade ukufunda entsheni ephuma ezikhungweni zezemfunukunakekela umndeni okuyisisekelo okudingkanani kwabakwa-EMA “Emnyangweni wami, abasanda kuthola iziqu kumele kubonakale ukuthi uyakwaziyini ukukdo ephakeme ukuthola amathuba okufunwami,” kusho yena. ekayo ngokwakha ngokubona leli thuba sihlangane siqhamuke namasu ngenza imisebenzi ethinta zabo.” wenza. Kulomkhakha wethu izinkampani da umsebenzi ikakhulukazi Njengomntwana, uMyeza ezinkampanini isakhiwo ngisisuse phansi. kimi. Umfundiokusungula we-Elec- amathuba omsebenzi ikaumphakathi. Ngisebenza Ngokuhambisana nokwakhombisa uthando Abakwa-EMA banginike trical Engineering uthe esikhathini samanje njengoba khulukazi eziningi ziye zithiasemikumele ube nomuntu uma ukulomkhakha wethu. Kumanje kumaphrojekthi uphokophelwe ngu-EMA, olukhulu lokudweba, inulwazi lokuthi lezi ezinye abakwa-EMA bavuthela phakathini,ukuze ukufundisa enqabe kangaka,”kusho uMnuz Mzimela. ozokuxhasa uma kube nesehlo ngiyaqeqeshwa ngokomsebenzi kaMaspala uMasipala uzimisele gqalasizinda, ukudizayna izifundo zihambelana fuinhlansi enze ngezifundobangabi ezingathathwa ukuhlinzeka ngamasu Uphinde wanxenxa nalabo abanemibono esenzekayo secaleni kodwa kubekuye yokuba ngizobhala ngoNovember nokuzothi uma NGOLUNYE ULWAZI nokwakha – ngamathoyizi thi zisebenzisana kanjani kangcono ukuze enze umabantwana, ukuthuthukiahlukahlukene okuthuthukanjani umehluko ilabo abakuxhasile ababhekana nalesosimo. ukuthi bangawenza ngiphothula ngithole iziqu zami,” kusho XHUMANA NABAKWAakhe! Uthe konke kwaqanezami,” kusho uLuthuli. sebenzi oyiphupho lakhe. sa amakhono nokufundisa kisa abasebenzi nokuba emiphakathini yabo ukuthi bangathuli Ngibonga kakhulu kuMasipala weTh eku uMnuz Mzimela. Lensizwa esencane EMA: la lapho, kanti ukuvula ngenzinhlelo zokufunda nobambiswano nabanye NOKULUNGA MAJOLA inkampani yakhe abahambe bangqongqoze eminyangweni ngokunginika lelithuba lokuthi ngifunde eneminyaka engama-27 yaseMzinyathi eNenye ngomsebenzi, ukubala nje abantu. Lokhu kumayelana 221 Anton Lembede Street uma amathuba ngomsebenzi wami nokuzongisiza efanele bafune usizo. yakatho neTheku ithi into edingwa yintsha kabanzi yezinhloso zakhe ezinkulu. okumbalwa”. nokwakha isiko lokuhlala ShellUthi House UMnuz Shayizizwe Mzimela uthi kubalevele abawabambe ngazo zombili njengoba kakhulu ekufezekiseni amaphupho ami,” amathuba nje kuphela. UMnuz Mzimela kufundwa. Abakwa-EMA (11th Floor) ulekile ukuthi intshaizinkuinikezwe Ekhuluma amathuba ngokuqala naye elisebenzisileTel: lelithuba kusho uMnuz Mzimela. uqale loluhleloeziningi lokuqeqeshwa ngokomseeziyimpumelelo bayazama ukufukula sewaziwa njengesikhungo sokufunda nokuthuthuka 031 311elingandele 3192 okuthi ikwazi ukuzithuthukisa. UMnuz sokufunda ezisebenze njengethuluzi lungwane zabahlali baseThe- kwesikhathi sokufunda esihamba kushoebalulekile ukuthi wazi ukuthi bani. “Into Uthi emva kokuphothula iziqu ezingeni zakhe lomhlaba,” benzi ngaphansi kukaMasipala weTheku sika 2021, uMeyangonyaka uKaundawezi-2018 elikhulu lokukhulisa kwini kanyeokumanje nabasebenzi phambili komasipala bonke uMeya. Mzimela ufundela umsebenzi ufunani nokuzimisela kokwenzayo,” kusho uzobe eseyi Artisan ngokusemthethweni kanti uthi uma eqeda uthe: “Eminyakeni eyedlule, nokuthuthukisa ezemfundo. ngokubahlinzeka ngezinhlebase Afrika, sokwenza ngaphansi kohlelo lukaMasipala weTh eku uMnuz Mzimela osebuya ngisho eChina uzosungula inkampani yakhe lapho ezosiza futhi esenesipiloyini esanele esekwazi uMasipala izinhlelo Umnyango wakwa-EMA lookuyi-apprenticeship zamakhono anomthelela kahle, sokuqamba okusha, kagesi uthe ukube uqalekhona lapho aya kothekela khona ulwazi. intsha ithole izikhala zokuqeqeshwa ukwenza yonke imisebenzi ephathelene empilweni yabo.

Ufuna ukusiza intsha oqeqeshwa uMasipala

ASILWE NOKUBHEBHETHEKA KWE COVID-19

1.5 metre

HLALA UPHEPHILE KWI C VID-19


IKHASI 6

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

JUNI 2021

UMasipala waseThekwini nekhwelo kubabhali bezincwadi

UNKZ Sithembile Doncabe wezama-Library kuMasipala waseThekwini. TSEPO MOTLOKOA ABOMTAPO wolwazi kuMasipala waseThekwini banxusa ababhali bezincwadi ukusebenzisana nomasipala

ekubhaleni ngomlando waleli dolobha nangezinye izinto ezingamagugu esizwe ukugwema ukuthi abantu bangaxoxelwa ngabantu bakwamanye amazwe ngomlando wedolobha labo.

UNkz Sithembile Doncabe usho kanje ekhuluma emcimbini wabeMpophomo Yolwazi Authors House lapho bebethula khona i-The Book Behind Awards okuwumncintiswano ohlelwe nguNkz Nelly Shozana okungowokuhlonipha ababhali awuhlelwe ngokubambisana noMasipala waseThekwini noMnyango wezamaCiko namaSiko KwaZulu-Natal ophathiswe uNkk Hlengiwe Mavimbela. Abe-The Book Behind Awards bethule lo mncintiswano e-Ethekwini Community Church (ECC) okuyibandla eliholwa wuMbhishobhi Vusi Dube ozokuba mhlaka 11 September nonyaka endaweni esazomenyezelwa. Lo mncintiwano ungenelwe ngababhali abehlukene baKwaZulu-Natal kwase kuqokwa nezinkampani ezishicilela imisebenzi yabo lapho kuzobhekwa ukuthi iyiphi edla ubhedu kuzona eziqwaqwade zonke emakhanda. Kubuye kwaqokwa nemitapo yolwazi okuzobhekwa ukuthi yimuphi phakathi kwayo oyimvivilithi kubantu baseThekwini. Imitapo yolwazi edlana imilala lapha ngowaseMawoti, owaseGalleria, owasoTongaat Central, owaseReservoir Hills, owaseBayview, owaseDon & Refer-

ence, owaseMusgrave nowaseClermont. UMnu Phila Myeni oyisisebenzi soMnyango wezamaCiko namaSiko KwaZulu-Natal obemele umnyango wakhe uphonsele inselelo ababhali ethi mabasondele emnyangweni wabo ngoba unazo izinhlelo zokulekelela ababhali. Uthe uhlelo abalubhekelela kakhulu olwababhali ababhala ngolwimi lwebele IsiZulu njengoba lubonakala lufadabala. “Ulwimi lwethu lwebele luyabaleka emakhaya kangangoba abantu abadala kabasakwazi ukwabelana kahle nalo nezingane zabo njengoba sekuvetezwa isingisi ilanga liphuma lize liyoshona. Abakhulu bomnyango wethu babe sebebona ukuthi ukuze lolu lwimi oluyigungu kubantu ukuze lungashabalali kuhle ukuthi labo abanentshisekelo yokulilondoloza basondezwe ukubalekelela emsebenzini wabo wokucikoza ngosiba kusetshenziswa ulwimi lwethu lwesiZulu. Imincintiswano enjena siwumnyango siyeseka kakhulu ngoba kulapho sikwazi ukuseondela ngamandla eduze siziveze nathi siwumnyango,” usho kanje.

Kugqugquzelwe ezolimo kumphakathi

“Ngalo lolu suku abalimi abasafufusa baphiwe izinsiza zokulima ebezivela kuMkhandlu wakwaMaphumulo, Phakathi kwezinto abalimi bakwaMaphumulo abanikezwe zona kubalwa amathangi amanzi nokunye okuningi.” MAGAYE CELE UMKHANDLU wakwaMaphumulo enyakatho yeKwaZulu Natal ngokubambisana noMnyango weZolimo esiFundazweni bahambele kuWard 4 kwaMaqumbi njengoba kuyinyanga yabantu abasha. Kuvelile ukuthi inhloso enkulu yalolu hlelo ukuthi lusetshenziselwe ukugqugquzela abantu abasha ukuba bangabi madolonzima uma kukhulunywa ngeZolimo kodwa bangene kuzona. Lolu hlelo lusetshenziselwe ukunikezela ngolwazi olunzulu kubantu abasha bakule ndawo abanenentshisekelo enkulu yokungena kweZolimo.

UMnuz Thabo Gumede okuzona eZolimo uthe wangena kuzona ngoba wayekade ebone ingqayizivele yethuba lokuba aziphilise impilo engcono kakhulu. UMnuz Gumede ube esephonsela inselelo abantu abasha baKwaMaphumulo ukuba bangaziphuthiseli kodwa nabo bangene shi kweZolimo. Kuhlalukile ngaleli langa ukuthi uMnuz Gumede ungomunye wosomabhizinisi abahlomula ohlelweni lokulekelela abalimi olubizwa ngokuthi yi-Employement Stimulis Fund (PESI) oluhlose kakhulu ukufukula osomabhizinisi abasafufusa abagxile kakhulu kweZolimo.

UMnuz Gumede uthe okuyikhona okumqoka kakhulu ukubona abantu abasha bekwazi ukuwenza inzuzo besebenzisa eZolimo. Uchaze eZolimo njengomthombo ongasetshenziselwa ukufukula umnotho waKwaMaphumulo kanjalo nowasesesiFundazweni, iKwaZulu Natal. Bekukade kukhona namalunga enhlangano ebizwa ngokuthi ISipho Youth Project. Bona bahlomula ngaphansi kohlelo oluqhakanjiswa kakhulu kweZolimo olubizwa ngokuthi yi-One Home One Garden. ISipho Youth kuvelile ukuthi isebenzisana nabanye abalimi

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

abaningi kakhulu abakhona esiFundazweni iKawaZulu Natal. Ngalo lolu suku abalimi abasafufusa baphiwe izinsiza zokulima ebezivela kuMkhandlu wakwaMaphumulo. Phakathi kwezinto abalimi bakwaMaphumulo abanikezwe zona kubalwa amathangi amanzi nokunye okuningi. Ngayo futhi le nyanga uMkhandlu wakwaMaphumulo kade unohlelo olumqoka kakhulu oluthi: Keep Maphumulo Clean.’’ Inhloso yawo ukugqugquzela amalunga ophakathi ukuthi enze isiqiniseko sokuthi le ndawo iba sesimweni esifanelekile zikhathi zonke ngokuthi bayigcine ihlanzekile.


JUNI 2021

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Injabulo kwabesikole bethola umfaniswano ku Sivubela

IKHASI 7

SIVUBELA Intuthuko ITHIMBA LEPHEPHA >> UMHLELI MAKHOSI MNGOMA makhosi@sivubelaintuthuko.co.za 083 618 4252

UNkk Makhosi Mngoma ongumhleli wephephandaba iSivubela Intuthuko beyogubha inyanga yentsha ngokunikela eSkhwama High School TSEPO MOTLOKOA ISIVUBELA Intuthuko ligubhe inyanga yentsha ngokunikela ngomfaniswano wesikole kulezo zingane ezingathathi entweni endaweni yaseNgonyameni eSkhwama High school ngaphansi kwesiqubulo esithi “Sibeka imfundo phambili”. Kuzokhumbuleka ukuthi iSivubela Intuthuko liyiphephandaba elingathathi ndawo njengoba liphephandaba lomphakathi elilekelelwa kakhulu osomabhizinisi abafana noMkhucululi, Nkululeko Sakhumnotho PTY LTD kanye ne-Ayathube PTY LTD ngokubeka izidingo zomphakathi. Leli phephandaba kalingcini ngokubhala nje kuphela kodwa linezinhlelo zokusimamisa umphakathi njengokulwa nokubhebhetheka kwengculazi (HIV/AIDS), ukulwa noBubha (Poverty Alliviation) kanye nezinhlelo zokuletha ukuthula (Peace). UMnu Linda Goge ongusekela kathishanhloko waseSikhwama ubonge Isivubela Intuthu-

ko ngomnikelo ewenze esikoleni sabo ethi ukholwa ukuthi lokhu kuzokwenza ukusebenza kwabo kube lula. Uthe abafundi nabo sebezohambela phezulu babe nokuziqhenya ngoba bazobe sebefaniselana nabanye abafundi ngomfaniswano. “Lolu xhaso lusho kithina akasekho umfundi osezozenyeza. Ngokujwayelekile lezsi ngane ezihlwempu yizona ezibamba kangcono ezifundweni ngakho uma kukhona okuzikhinyabezayo njengokuswela umfaniswano liyehla izinga lokubamba kalula izifundo,” usho kanje. UMnu Goge uthe nabo kukhona abakwenzayo esikoleni ngobuchwabalala ababemukela emnyangweni wezemfundo njengoba belungisa amakilasi. Uthe izandla bazivulile kuzona zonke izinhlaka ukwelula isandla ukuze isikole sabo sihlale siqhakazile njengoba neSivubela Intuthuko seyenzile ukuqhakazisa abafundi. Umfundi onguSphamandla Gumede ofunda u-grade 11 ongomunye wabahlomule ngomfaniswano uthe uyajabula ngakwen-

zelwe yiSivubela Intuthuko. Uthe noma ebengezwa ehletshwa ngabanye abafundi kodwa mhlambe bebemhleba emakhosombeni. “Okwenzeke namhlanje kungijabulise kakhulu njengoba ithemba bese lingilahlekele lokuthola umfaniswano kodwa sekwenzekile ngentando kaNkulunkulu. Akekho osebenzayo ekhaya yingakho ngidonsa kanzima,” usho kanje. UMhleli oMkhulu weSivubela Intuthuko uNKK Makhosi Mngoma ubonge ukuba yiphephandaba elifezekisa lokho elakuthembisa abantu baKwaZulu-Natal mhla lisungulwa lokubuyisela okuhle kubafundi balo. Waphinda wabonga kakhulu izinhlangano zomphakathi (NGO) , amakhansela kanye nezikole ngokuqhuba izinhlelo zentuthuko kubantu. Ucele iminyango ehlukahlukene kahulumeni ukwelula isandla ukuze umbono nezinjongo nezinhloso zeSivubela Intuthuko zibonakale kuqhubeke kusizakale nabanye abantu ngaphansi kohlelo lwephephandaba.

UMkhandlu nezinhlelo zokuthuthukisa umphakathi MAGAYE CELE UMKHANDLU waseMandeni oholwa nguKhansela Thabani Mdlalose usingathe ngempumelelo ukubuyekezwa kwenqubo ewumthetho sisekelo okuhloswe ngazo ukuqinisekisa ukusheshiswa kokufinyeleliswa kwezinsiza kumalunga omphakathi. Lo Mkhandlu ubukade uhlanganele eBandla Hotel futhi uhlale izinsuku ezintathu ezigcwele. Phakathi kokunye okuhlosile kuhlalukile ukuthi ukwenza ngcono ikusasa labantu baseMandeni ukuze lizoqhakaza. Kuzokhumbuleka ukuthi iMeya yalo Mkhandlu uKhansela Mdlalose uhleli elishumayela ivangeli lokubaluleka kokuphuculwa kwezimpilo zabantu bakule ndawo. Kulezi zingxoxo kuphindwe kwacutshungulwa kabanzi ukuthi yini engenziwa ngenhloso yokuqiniskisa ukuthi uyaphumelela umbono waseMandeni wokuthi

ube uMkhandlu owethenjwa ngabantu, ube nomnotho ozinzile ngo-2030. Ngesikhathi ekhuluma kuvulwa lo mmbuthano uMeya uKhansela Mdlalose ukhulume kabanzi ngokubaluleka kokuba kuthuthukiswe izimpilo zabantu baseMandeni kanye nokubeka umphakathi eqhulwini kuzona zonke izinhlelo zalo Mkhandlu. “Umsebenzi omkhulu esibhekene nawo ukuthi siqinisekise ukuthi amalunga omphakathi waseMandeni aphila impilo ebafanele nabayithakaselayo. Kufanele siqinisekise ukuthi sibuyekeza inqubo esavumelana ngayo ukuze siqinisekise izindlela zokusebenza ngaphakathi eMkhandlwini,’’echaza. Eqhuba ukuchaze njengento emqoka kakhulu ukubaluleka kokuthi kuqinisekiswe ukuthi izinsiza ziyafinyelela kubantu ngaphandle kwenkinga. Uthe: “Kuzodingeka ukuthi sibhekane ngqo nalolu hlelo lokuguqula izimpilo

zabantu. Kuzomele sithathe izinqumo ezizoholela ekutheni uMkhandlu waseMandeni ubalwe neminye yehamba phambili.’’ Ngesikhathi sekuvalwa lo mbuthano uMeya uKhansela Mdlalose uphonsele inselelo bonke abantu baseMandeni ukuba basebenze ngokukhulu ukuzikhandla lokhu ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi le ndawo iba ngengcono kakhulu. “Kuzomele sazi futhi siqonde ukuthi manje sesiya ngasesiphethelweni sesigaba sethu sehhovisi. Ngakho ke kumqoka kakhulu ukuba siqhubeke nokusebenza ngokuzikhandla. Eqinisweni nje sesisalelwe yizinyanga ezimbalwa zehhovisi. Ngakho ke kumele nakanjani siqinisekise ukuthi sisebenza ngokuphindaphindiwe kumele sifingqe imikhono ukuqinisekisa ukuthi izimpilo zabantu sizenza ngcono kakhulu,’’kuphetha uMeya uKhansela uMdlalose.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

NOKULUNGA MAJOLA Info@sivubelaintuthuko.co.za 072 1792 255

>> GRAPHIC DESIGNER AND LAYOUT LINDA MAZIBUKO trusouth1@gmail.com 076 4847 269

SANELISIWE NGEMA Info@sivubelaintuthuko.co.za 067 920 8446 MAGAYE CELE info@sivubelaintuthuko.co.za 067 920 8446 TSEPO MOTLOKOA info@sivubelaintuthuko.co.za 067 920 8446 IWEBSITE YETHU www.sivubelaintuthuko.co.za sivubela intuthuko @sivubela intuthuko sivubelaintuthuko B 33 Ten Acre Thembeni Groutville, P.O Box 4473, Stanger 4450, 270 Stamford Hill Road Unit 1 Morningside, Durban, 4000 UMA UFUNA UKUKHANGISA KULELIPHEPHANDABA , SHAYELA 067 920 8446 / 083 618 4252


IKHASI 8

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

JUNI 2021

Sivubela Intuthuko

EZEMIDLALO

Umsubathi waseNingizimu Afrika nephupho lama-olympics MAGAYE CELE ULANGAZELELE ukuba yingxenye yomqhudelwano omkhulu wama-Olympics umsubathi waseNingizimu Afrika, uMbuleli Mathanga ongaphansi kwenkampani eyaziwayo iPhantane Atletics Club exhaswe ngezinye zezinkampani ezinkulu ezweni lonke. Phakathi kwezinkampani ezixhase iPhantane kubalwe iHollywoods, uMngeni Water, yiBlacktree Propety kanye neTotal Sports. Ngokusho kwakhe kwakhe uMathanga kungaba yinto enkulu kabi kuyena ukuba yngxenye yale midlalo ezokuba iseJapan ngenyanga kaJuly. Uthe ukulangazelele kakhulu ukuba yingxenye yale midlalo emikhulu nehlonishwayo emhlabeni nje jikelele.

“Angifuni ukuqamba amanga kuyisifiso sami esikhulu kunazo zonke ukuthi ngimele iNingizimu Afrika emidlalweni yama-Olympics yangoJuly. Ngifuna ukwenza kahle kakhulu kule midlalo ngoba ngikholwa ukuthi ukwenza kahle kwami kungayibeka ebalazweni iNingizimu Afrika,’’ kusho uMathanga. Ukwenza kahle kwabasubathi baseNingizimu Afrika emiqhudelwaneni emikhulu uMathanga ukuchaza njengento emqoka. Uthe ukwanda kwabasubathi baseNingizimu Afrika abenza kahle kugqugquzela nabanye abasubathi abasafufusa abeza ngemuva nabasaphokophalele impumelelo. ‘’Mina ngikholwa ukuthi kumqoka ukuba abasubathi baseNingizimu Afrika benze isiqiniseko sokuthi bayazibandakanya nemiqhudelwano emikhulu nehlonish-

wayo umhlaba wonke. Lokho ngikholwa ukuthi kuzobasiza kakhulu kubanikeze ulwazi oluningi kanye nesipiliyoni abazosidinga ngokuhamba kwesikhathi,’’ kuchaza uMathanga. UMathanga ungomunye wabasubathi abahlonishwayo kakhulu ezweni lonke ngenxa yempumelelo yakhe enkulu aseyikhombisile kwezokusubatha. UMathanga usanda kugila izimanga enqoba amabanga ehlukene. Phakathi kwamabanga asanda kuwanqoba kubalwa i21km, 10km, 10 000km kanye ne-500m emqhudelwaneni iTrack and Field. UMathanga ngaphambilini uke wagijima ngaphansi kwenkampani yaseNanda, ebizwa ngokuthi yiQadi Atletics Club. Kafishane ngoMathanga wazakhela igama ngesikhathi enqoba iTwo Legact Mrathon ngesikhathi esingu-29:52. Useke wanqoba

UMSUBATHI waseNingizimu Afrika uMbuleli Mathanga oselangazelele ukuba yingxenye yemidlalo yama-Olympics. nomqhudelwano onedumela iDr Dube J.L. Dube Run.

OwoSuthu ujabulela ukuba yingxenye yengqophamlando

UMDLALI woSuthu waseswini uSnethemba Sithebe uzishaya isifuba ngokuba yingxenye yeqembu eliqophe umlando. MAGAYE CELE ISIKHWISHIKHWISHI saseswini

somdlali weqembu eligijima esigabeni esphezulu iDSTV Premiership, uSiyethemba Sithebe uthi ubonga ukuba yingxenye yeqembu eliqophe umlando ngokulala endaweni yesibili. USithebe ungomunye wabadlali boSuthu obe nesandla esikhulu kwingqophamlando yaleli qembu likaMnuz Sandile Zungu. USithebe uthi namanje akakholwa ukuthi uSuthu lusonge isizini yeDSTV Premiership ka-2020/2021 lisendaweni yesibili ngemuva kwezingqwele zeligi iMamelodi Sundowns elolongwa ngabaqeqeshi abathathu abaholwa nguManqoba “Tv” Mngqithi, uRhulani Mokoena kanye noSteve “Mphathi” Kompela. Umlando uveza ukuthi selokhu yaqala iPSL bekungakaze kwenzeke ukuthi uSuthu lulale endaweni yesibili. Lokhu elikwenzile kusho umlando omkhuulu nakubalandeli baleli qembu elibalwa

namanye athandwayo kakhulu nelinomlando omude nonothile ebholeni laseNingizimu Afrika. “Kuyangijabulisa kakhulu ukuba yingxenye yeqembu lamaZulu fc elikwazile ukuthi liqophe lo mlando. Impela lokhu esikwenzile kukhulu kakhulu. Ngikholwa ukuthi ukusebenza kwethu kanzima nangokuzikhandla yikhona kanye okuholele ekutheni sikwazi ukwenza kahle ngalolu hlobo,’’kuchaza uSithebe. Kuzokhumbuleka ukuthi uMnuz Zungu ngesikhathi ethenga uSuthu kwaba sengathi umane uxoxa inganekwane nje uma ethi ufisa ukubona leli qembu lisendaweni yesine uma sekusongwa isizini. Nakhu ke abadlali sebenza okungaphezulu kwalokhu okwakufiswe nguSihlalo. “Uma kusongwa le sizini singekho emaqenjini amane aphezulu kwiDstv Premiership impela ngiyobona ukuthi sehlulekile. Ngikholwa ukuthi AmaZulu

fc angenza kangcono kakhulu. Ngikholwa ukuthi lokhu esikufisayo nesikuhlosile makanjani kuzokwenzeka,’’ wezwakala esho kanje uManzini ngesikhathi ephawula ngokuthenga kwakhe uSuthu. Baningi Abadlali uSuthu obelugabe ngalo kakhulu kule sizini esanda kusongwa. Abanye babo kubalwa uLuvuyo Memela olandwe kwi-Orlando Pirates, Augustine Mulenga naye olandwe KweziMnyama futhi ongowaseZambia ngokudabuka, Kewuit yena obamboleke kwiCape Town City nabanye abaningi. UBenny MaCcarthy ongumlolongi woSuthu ukuchaze njengento angasoze ayilibala ukusonga kwaleli qembu lisendaweni yesibili emidlalweni yeDSTV Premiership. Ubonge ukwethenjwa nguMengameli wekilabhu, uMnuz Zungu.

Kujabule abantu abasha ngohlelo lomkhandlu igo durban cycle MAGAYE CELE NGENHLOSO yokubungaza inyanga yabantu abasha uJune uMkhandlu weTheku oholwa nguMeya uKhansela Mxolisi Kaunda wethule ngokusemthethweni ipaki yeqophelo eliphezulu ebizwa ngokuthi yiGo Durban Cycle motor Bike. Le paki isesigcemeni swakwa-E, KwaMashu enyakatho yeTheku. Ukwethulwa kwayo kufakazele okukhulu ukusenzisana okukhona phakathi koMkhandlu weTheku kanye nalabo abasebenzisana noMkhandlu kwezam-

abhizinisi. USotswebhu omkhulu woMkhandlu weTheku, uMnuz Sibongiseni Mkhize uthe kubuyise ithemba elikhulu kubantu bakule ndawo ukuvulwa kwendawo yalolu hlobo. Uthe inhloso enkulu yale ndawo ukuhlanganisa abantu abasha ndawonye kube khona abakwenzayo ikakhulukazi okumayelana nezemidlalo. Echaza uthe: “Le paki izohlanganisa abantu abasha ndawonye ngaso sonke isikhathi okuyinto enhle kakhulu nesifuna ukuyibona yenzeka.’’ Lolu hlelo loMkhandlu weTheku iGo Durban Cycle Academy kuhlalukile

ukuthi lwasungulwa eminyakeni engu-6 eyedlule njengoba lwaqala ukuba khona ngonyaka ka-2016. Lolu hlelo minyaka yonke kuthiwa lubonakala ludlondlobala kakhulu. Lukhona eNanda, eChesterville, kanye nakwaDabeka entshonalanga yeTheku. Lolu hlelo kuhlalukile lapha ukuthi luvamise ukuthi luninkezele ngoqeqesho lweqophelo eliphezulu kubantu abasha bakulezi zindawo. Bangaphezulu kuka-400 abantu abasha okuthiwa bathola lolu qeqesho nyanga zonke. Kuvelile nokuthi kunabantu abasha ababalelwa ku-50 abahlonziwe okuyibona abazonikezwa uqeqesho lwamahhala.

Kuthiwa bathophinda banyelwe yinyoni eesandleni njengoba bezophiwa amabhayisikili, izigqoko abazifaka emakhanda uma sebehamba kanye namavest abawagqokayo. Lolu hlelo luthakaselwe kakhulu ngamalunga omphakathi waKwaMashu ikakhulukazi abantu abasha bakule ndawo bekubonakala ukuthi balujabulele kakhulu lolu hlelo. Kzokhumbuleka ukuthi uMeya walo Mkhandlu uKhansela Mxolisi Kaunda ngaphambilini wakuchaza njengento emqoka kakhulu ukubaluleka kokuba kube khona okwenziwayo ngenhloso yokweseka abantu abasha ngaso sonke isikhathi.

031 828 0433 / 082 597 6669

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.