Sivubela Intuthuko Newspaper

Page 1

SIVUBELA Intuthuko

ADVERTISING: 067 920 8446 15-31 AGASTI 2021

FACEBOOK: SIVUBELA INTUTHUKO

SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

LIMAHHALA USHICILELO 65

UMkhandlu weTheku uchonywe uphaphe legwalagwala

Kufezeke isifiso sama-LGBTQIA aseMgungundlovu ngamafilimu

Seyivuliwe iMega City ebikhahlamezekile ngezibhelu

Kubhekwe itheku ukuthi lisingathe ngempumelelo imidlalo yama-athletics

iKhasi 2

iKhasi 7

iKhasi 4

iKhasi 8

Abesifazane baseThekwini bagubhe inyanga yabo ngemikhakha eyahlukahlukene

udaba ekhasini 3.


IKHASI 2

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

15-31 AGASTI 2021

UMkhandlu weTheku uchonywe uphaphe legwalagwala MAGAYE CELE

USOMLOMO woMkhandlu weTheku, uKhansela Weziwe Thusi okunguyena owamukele indondo yokuhlonishwa kwaleli Dolobha.

IDOLOBHA iTheku eliholwa nguKhansela Mxolisi Kaunda likhale lemuka nendondo emqoka kakhulu yomklomelo wokuhlinzeka kahle ngamathuba okuhlomulisa abasebenzi kanye nabahlali. Le ndondo leli Dolobha elihlomule ngayo ibizwa ngokuthi yiTop Empowerment Award. Le ndondo ebalulekile kakhulu kulo Mkhandlu yamukelwe yiloyo onguSomlomo wayo uKhansela Weziwe Thusi. Ngesikhathi uKhansela uThusi eyamukela le ndondo uthe bazizwa behloniphekile kakhulu njengeTheku ngokuhlomula ngale ndondo ayichaze njengemqoka kakhulu. Uthe ukuklonyeliswa ngendondo ngokuhlomulisa abantu basemphakathini ngokwemisebenzi yomphakathi yinto esho lukhulu kulo Mkhandlu. UKhansela Thusi uthe ukusebenza ngokuzikhandla kwezisebenzi zalo Mkhandlu yikhona kanye okudala ukuthi liklonyeliswe ngale ndondo emqoka kakhulu.Uveze ukuthi kukhona konke okwenzayo lo Mkhandlu awulenzi nje iphutha lokuba uchezuke kwingqikithi yokulekelela abantu ngokwemisebenzi. Uthe ngalokho lo Mkhandlu kufanele ushayelwe ihlombe elikhulu.

UKhansela Mxolisi Kaunda uthe le miklomelo igqugquzela ukusebenza ngokuzikhandla ezinhlanganweni ezahlukene.Uthe kuyabajabulisa kakhulu njengoMkhandlu weTheku ukuhlonishwa ngale ndlela. Ube esenza isibophezelo sokuthi uMkhandlu awuholayo uyohlale njalo uzibeka eqhulwini izidingo ezimqoka zabantu. Ukhulume nangohlelo olumqoka kakhulu lalo Mkhandlu athe uhlose ngalo ukuthi ufukule abantu abamnyama kwezomnotho, iBlack Economic Empowerment. Echaza uKhansela uKaunda uthe: “Ubuholi obuphezulu balo Mkhandlu buzinikele ekutheni konke kuhambe kahle kubantu abangaphansi kwalo Mkhandlu. Lo Mkhandlu unezinhlelo ezinhle kakhulu ezenzelwe ukubhekelela izidingo zalabo bantu baseThekwini ngaphambilini ababekade bencishwe amathuba.’’ Loyo oseKomidini eliphezulu lezokuPhatha ngaphakathi kuMkhandlu weTheku, uNkk Nompumelelo Sithole uthe uyancomeka kakhulu umsebenzi obonakala wenziwa yizisebenzi zakulo Mkhandlu zikhathi zonke. UNkk Sithole uncome nokusebenzisana okuhle nathe kuyabonakala zikhathi zonke phakathi kwabasebenzi abangaphansi koMkhandlu weTheku.

UMnyango uthembise ukulekelela osomabhizinisi abancane MAGAYE CELE SEKUNEMALI engu-R4 billion esibekwe eceleni ezosetshenziselwa ukufukula amabhizinisi amancane akhahlanyezwe yizibhelu zakamuva. Lezi zindaba ziqinisekiswe yiloyo onguNgqongqoshe wezezimali kanye nokuThuthukiswa komphakathi esiFundazweni, iKwaZulu Natal, uMnuz Ravi Pillay. UPillay ukuchaze njengento emqoka kakhulu ukubaluleka kokutakulwa kwamabhizinisi aKwaZulu Natal. Uthe kulokoza inhlansi yethemba ngomehluko ozokwenziwa yilesi sizumbulu semali esesibekwe eceleni ukuze sisetshenziselwe ukufukula osomabhizinisi abancane. UPillay unxuse namabhange ukuthi angenelele ukuze ezothola usizo olumqoka wonke amabhizinisi aKwaZulu Natal akhahlamezeke kakhulu. “Sikholwa ukuthi kuyinto emqoka kakhulu ukubaluleka kokuba asekwe wonke amabhizinisi akhahlamezekile alapha KwaZulu Natal. Sizimisele ukuthi sisebenzisane nabo bonke osomabhizinisi ukuze amabhizinisi abakuwona athole usizo aludingayo,’’usho kanje. Uma echaza uPillay uthi umonokalo ube mkhulu kakhulu obonakale emabhizinisini aKwaZulu Natal. “Mkhulu kakhulu

“Sikholwa ukuthi kuyinto emqoka kakhulu ukubaluleka kokuba asekwe wonke amabhizinisi akhahlamezekile alapha KwaZulu Natal. Sizimisele ukuthi sisebenzisane nabo bonke osomabhizinisi ukuze amabhizinisi abakuwona athole usizo aludingayo,’’ umonakalo owenzakele emabhizinisini alapha esiFundazweni saKwaZulu Natal. Kodwa siyethemba ukuthi ngokubambisana azoqala phansi abonakale esimama okuyinto esizoyijabulela kakhulu,’’usho kanje. Eqhuba uPillay ukuchaze njengento emqoka kakhulu ukubaluleka kokuthi kubanjiswane kusetshenziswane ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi uqala phansi uyasimama futhi umnotho weDolobha iTheku kanye nasesisiFundazweni sonke iKwaZulu Natal.

URAVI Pillay omemezele izizumbulu zemali ezizosetshenziselwa ukuthi kutakulwe amabhizinisi aseThekwini akhahlamezekile. “Ayikho into emqoka ngaphezulu kokuthi sonke sisebenzisane siqinisekise ukuthi umnotho wethu kuleli dolobha kanjalo nasesiFundazweni sonke uyasimama. Lokho kwenza ukuthi konke kubonakale kuhamba kahle esiFundazweni sonke okuyinto esiyidingayo kakhulu ikakhulukazi kulesi sikhathi samanje,’’kugcizelela uPillay.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Uveze ukuthi ukukhahlamezeka kweDolobha iTheku kugcine kulinganiselwa kumaphesenti afinyelela ku-57 okuyinto athe icishe ifane nebonakale eMgungundlovu namaphethelo. Nokho uthe bayethemba ukuthi kuyothi kusongwa unyaka konke kuyobe sekuhamba kahle izinto seziqale phansi zabuyela kwesejwayelekile.


15-31 AGASTI 2021

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 3

Abesifazane baseThekwini bagubhe inyanga yabo ngemikhakha eyahlukahlukene NJENGOBA uNcwaba kuyinyanga yabantu besifazane iphephandaba iSivubela iNtuthuko ibheka abesifazane baseThekwini abenza umehluko omkhulu ezimpilweni zabantu.

Owokuqala nguMelanie Morgan osembuthweni wamaphoyisa ngaphansi koMkhandlu weTheku. Njengamanje usembhidlangweni wokulekelela abantu abazithola bebhekene nokhwantalala ngenxa yezibhelu zakamuva. Ngenhloso yokwakha kabusha iDolobha iTheku banxusa amalunga omphakathi ukuthi eze ezothola usizo kubona

lokwalulekwa ngokwengqondo. “Lokhu sikwenza thina njengamaphoyisa uqobo. Siyazi ukuthi lesi bekuyisimo sokuqala lesi salolu hlobo ukubhekana naso. Kodwa sinxenxa nezingane zethu ezizothole zikhanyabezeka ngalokhu ukuthi zingeza kithina sizozeluleka ngokwengqondo noma yinini,’’usho kanje.

UNkk Nonhlanhla Vundla ongumshayeli wePeople Mover naye uneqhaza elikhulu alibambile njengoba ezokuThutha zibalulekile emnothweni weDolobha, iTheku. “EzokuThutha zinendima enkulu eziyidlalayo ekuthuthukeni komnotho weDolobha. Ngilekelela iDolobha lami iTheku ukuthi umnotho walo ubuyele esimweni ngokuthi ngisebenze ngokuzikhandla emsebenzini engiwenzayo,’’ usho kanje.

UNkk Xoliswa Mchunu oyiForensic Investigator ngaphansi koMkhandlu weTheku njengomuntu womthetho yena ubenikezela ngosizo olukhulu kubantu abaningi abathintekile ngesikhathi sodlame obeludla lubi eThekwini naseGoli. “Lena yiyona ndlela nami enginikela ngayo ukuze iDolobha lami iTheku lakheke kabusha,’’usho kanje.

Omunye nguNkk Thembi Khuzwayo oguSihlalo weThina Mnguni Poultry Projects ngenxa yokuthi abantu abaningi bebethwala kanzima ngesikhathi sezibhelu njengoba izitolo ebebezisebenzisa zakhahlamezeka unohlelo olumqoka lokudayisela abantu amaqanda. “Ngiyajabula kakhulu ukuthi ngikwazile ukusiza abantu ngalolu sizo ngesikhathi bebebhekene nenkinga yokungawatholi amaqanda kwezinye izindawo,’’ usho kanje.

Omunye nguNkk Tarryn Bristov weBird Curator ongumsunguli wepaki yakhe nesiqiwi sezilwane esiklama indima enkulu ekufukuleni ezokuVakasha eThekwini. Uthi uneqhaza elikhulu kwezokuVakasha zaseThekwini. “Ngiyakujabulela kakhulu ukubona umkhakha weZokuVakasha ufukuleka eThekwini. Ngiyethemba ukuthi lo mkhakha uzoqala phansi uhehe izikakashi eziningi uma isimo sesebuyele kwesejwayelekile. Futhi nginethemba lokuthi izivakashi zethu zizothola ukujabula ngokubona isiqiwi,’’usho kanje.

UMasipala waseThekwini nezokugoma abahlala emgaqweni TSEPO MOTLOKOA UMASIPALA waseThekwini ophikweni olubhekele ezempilo sewumemezele uhlelo olusha lokugomela i-COVID 19 kubantu abahlala emigaqweni yaleli dolobha abangenamakhaya ngenhloso yokugculisa zonke izakhamizi ezakhele lo masipala. Lo masipala uqoke uMsombuluko njengosuku bonke laba abanganamakhaya

abangasondela ngalo ezikhungweni zabo zokugomela ezihlinzekiwe bazogoma inqobo nje uma bephethe omazisi babo abasemthethweni. Lolu hlelo luqale ukusebenza ngoMsombuluko mhlaka 23 ku-August lapho abantu abenganamakhaya bebebuthanele ukuzogoma esikhungweni esisenkabeni yedolobha. Kunxuswe abanesifiso sokugoma ukuba baye eJewish Hall ngoMsombuluko kuthi

ngoLwesibili baye eStrollers Building, ngoLwesithathu bangaya eDennis Hurley Centre bese ngoLwesine beya Block AK eStamford Hill. Lesi simemezelo saseThekwini sikhishwe emuva kokuba uhulumeni enqume ukuqalisa ukugoma abantu abaneminyaka engu-18 kuya kwewu-34. Labo abafisa ukuyogonywa ngempelasonto bangahambela lezi khungo: ePinetown Civic Centre ngo-7:30 kuya

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

ku-15:30, eDassenhoek Hall ngo-8:00 kuya ku-16:00, KwaMashu Indoor Sports Centre ngo-7:30 kuya ku-16:00, eMoses Mabhida Stadium People’s Park ngo-8:00 kuya ku-16:00 bese kuba seWatercrest Mall emapaki ezimoto khona okuvulwa ngoMgqibelo kuphela. Kuthiwa kunesinye isikhungo esizoba seCliffdale sona esizovulwa ngezimpelasonto kuphela.


IKHASI 4

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Isifunda sigqugquzele eZolimo kwimbokodo

15-31 AGASTI 2021

UZikalala nethemba lokuvuka komnotho waKwaZulu-Natal emuva kwezibhelu

Kugqugquzelwe omama ukuba bangene kweZolimo. MAGAYE CELE UMKHANDLU waseMandeni oholwa nguKhansela Thabani Mdlalose ngokubambisana nesiFunda, iLembe babungaze inyanga yabantu besifazane ngokubanikezela ngamathuluzi amqoka kwezoLimo. Bahambele kuWard 80, eMandeni bebambisane nomfelandawonye iSibonelo. Bebehambisana noMnyango weZolimo KwaZulu Natal. UKhansela Mdlalose uthe bakubone kumqoka kakhulu ukuthi kube khona abakwenzela abantu besifazane baseMandeni nabeLembe ikakhulukazi labo abanentshisekelo enkulu yeZolimo. Uthe bayazi ukuthi baningi abesifazane abanothando olujulile lezoLimo kodwa ababhekene nengwadla yokushoda ngezinsiza kusebenza ezizokwenza ukusebenza kwabo kube lula kakhulu. Uthe bazimisele kakhulu ekutheni basebenzisane nabo abesifazane abaKweZolimo. “Sifuna ukubabona bethuthuka kweZolimo. Kumqoka bazi ukuthi kuyaphileka ngomhlabathi. Siyabagqugquzela ukuthi kumqoka ukusebenzisa ukudla kwasemhlabathini ngoba kunempilo,’’usho kanje. Eqhuba uKhansela Mdlalose wenze isithembiso sokuthi bazobalekelela ekutheni babatholele imakethe ezobasiza kakhulu ukuthi bakwazi ukudayisa izitshalo

zabo kuyona. “Sizibophezele kakhulu ekutheni sibalekelele ngazo zonke izindlela. Mina njengeMeya ngibe sengivolontiya ukuthi ngizobasiza kokuningi abakudingayo,’’usho kanje. UMnuz Mandla Dlamini wesiFunda iLembe uthe umnotho usemhlabathini wathi yingakho nje bebone kumqoka ukuba basebenzisane nomama abanothando lweZolimo. Uchaze eZolimo njengento emqoka kakhulu ikakhulukazi njengoba namathuba omsebenzi ebonakala emfimfa kakhulu. Uthe: “Siyabagqugquzela ukuthi bangazitheli ngabandayo kodwa baqhubekele phambili nokutshala. Umhlabathi unamandla okuphilisa abantu abaningi kakhulu. Nabo bangawusebenzisa kahle ukuthi bakwazi ukuthi baziphilise nemindeni yabo.’’ UNkk Duduzile Radebe ongomunye wabesifazane ohlumulile ukuchaze njengesibusiso esikhulu ukuthola ukwesekwa okungaka. Uthe kuyabajabulisa kakhulu ukunikelelwa ngamageja ngoba bese beqala ukuweswela. “Siyabonga kakhulu ngalolu sizo abasinikeze lona namhlanje. Siyabonga ukuthi ngenyanga yabesifazane bakwazi ukusikhumbula kube khona okuhle abasenzela khona,’’usho kanje. Omama ngalolu suku baphiwe inqwaba yembewu banikezwa namageja okulima nokunye okuningi.

UMNU Sihle Zikalala onethemba ngokusimama komnotho waKwaZulu-Natal emuva kwezibhelu. TSEPO MOTLOKOA UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnu Sihle Zikalala uthi isifundazwe sikhahlamezeke ngoR2 billion ngesikhathi lesi sifundazwe sibhekene nodlame lokucekelwa kwempahla nokutatshwa kwezitolo obekungenyanga edlule uJuly. Nokho uKhuzeni uthi thokola themba amathemba ayewukela njengoba uhulumeni awuholayo unezinhlelo zokunxenxa izinkampani ezinkulu ebezisebenzela kulesi sifundazwe ukuba ziqhubeke nokusebenza ukusimamisa isifundazwe. Phakathi kwezinkampani ezinkulu ezalahlekelwa kakhulu ngesikhathi kutatshwa impahla ezitolo nakuma-warehouse kubalwa i-Unilever neMassmart okuthiwa sezivumile ekuhlangabezaneni nesifundazwe ukusimamisa umnotho. UKhuzeni uthe noma kuvele loR2 billion wale nhlekelele kodwa kusengenzeka ukuthi sikhule lesi samba ngenhla yomonakalo owadaleka ngesikhathi sezibhelu. “Okusavelile okwamanje ukuthi iminyango kahulumeni idinga uR2 billion ukusimama kuthi omasipala bona kube uR74 million. Singakuqinisekisa ukuthi

umsebenzi wokuhlonza umonakalo okwamanje uphothuliwe nguhulumeni nomasipala ngalezi zibhelu,” usho kanje. Uhulumeni wesifundazwe kuyimanje usemshikashikeni wokubumba isifundazwe kwezomnotho nokuhlanganisa abantu abasakhele ukuba babe munye. Kunethemba ngokubuya kwezitolo ezifana neGame, Pick n Pay, Makro, Shoprite, Woolworth okulindeleke ukuba zivule amagathsa azo kwezinye izinxanxathela zezitolo KwaZulu-Natal. UKhuzeni uthe ukubonakala komnyakazo walezi zitolo ezibalwe ngenhla kubeka sobala ukuthi ikwaZulu-Natal iyisizinda samabhizinisi. UMnu Bheki Cele uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke unxuse uzinzo kwaizakhamizi zakwaZulu-Natal ethi mayihlale phansi ibambe umthetho. Uncome umsebenzi owenziwe ngamasosha, amaphoyisa ngokuhlukana kwemikhakha yawo ngokusebenza ngokusemandleni ukudambisa isimo esifundazweni. Uncome amaphoyisa aseThekwini iMetro Polica ngokubambisana nawe-Tactical Response Team (TRT) abejutshwe eMaoti, eBhambayi, ePhoenix naseZwelitsha ukudambisa isimo ebesimanzonzo.

Seyivuliwe iMega City ebikhahlamezekile ngezibhelu

IMEGA City yaseMlazi ebikhahlanyezwe kakhulu izibhelu seyiqalile ukusebenza. MAGAYE CELE SEZIQALILE ukusebenza ezinye zezitolo ezingaphakathi enxanxatheleni iMega

City, eseMlazi eningizimu yeTheku. Lezi yizindaba ezimnandi ikakhulukazi kubantu bakuleli lokishi abasebenzisa le ndawo ukwenza izinto eziningi ezah-

lukene. Kuzokhumbuleka phela ukuthi iMega City ibalwa nezinye zezindawo ezakhahlanyezwa yizibhelu ezibonakale zidla lubi emasontweni amane edlule. Amalunga omphakathi akhona eMlazi ngaphambilini abonakala ehola umkhankaso omqoka kakhulu wokuhlanza le ndawo. Lo mkhankaso wabonakala uthela izithelo njengoba le ndawo igcine ihlanzwa yaba sesimweni esihle kakhulu kunalesi ebiyisona ngesikhathi kutatshwa kuyona. UMengameli wezwe, laseNingizimu Afrika, uMnuz Cyril Ramaphosa ngesikhathi ematasa ehambela izindawo ezikhahlanyezwe yizibhelu wabonakala eya naseMega City. Wanxusa abantu bakule ndawo ukuthi basebenzisane ukuze konke kuzobuyela esimweni esejwayelekile. Kanjalo neMeya yoMkhandlu weTheku, uKhansela Mxolisi Kaunda naye uke wahambela kule ndawo ngesikhathi esemkhankasweni wokuhambela izindawo ezahlukene okwakutatshwa ku-

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

zona. Nokho ke manje kulokoza inhlansi yethemba kubantu bakule ndawo njengoba izitolo seziqalile ukuthi zidayisele abantu. Omunye wabahlali baseGlebe land okuyihostela eliseduze kakhulu nale nxanxathela yezitolo, uMnuz Zakhele Shwabede utshele iSivubela intuthuko ukuthi kuyabajabulisa kakhulu ukuvulwa kweMega City. Ulibeke ngembaba elokuthi bese bephila impilo enzima kakhulu sekudingeka ukuthi baze bagibele baye eThekwini uma befuna ukuthenga igilosa yasendlini. “Sijabule kakhulu ngokuvulwa kwezinye zezitolo zalapha eMega City. Impela impilo bese sibona kahle ukuthi isiqala ukuthi ibe nzima kakhulu kunakuqala. Bese siqala nokukhuthazeka sibona sengathi izingane ebezisebenza khona sezizogcina sezilahlekelwa yisinkwa okuyinto ebingaba yimbi kakhulu,’’usho kanje.


15-31 AGASTI 2021

N G O - 2 0 3 0

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

I T H E K U

L I Y O B E

L I N G U

N G Q A

IKHASI 5

P H A M B I L I

Sibungaza abantu besifazane baseThekwini ngeqhaza labo

I

NYANGA ka-Agasti igujwa emhlabeni jikelele njengenyanga yabantu besifazane. Leli langa lasukela kwimashi yango-1956 lapho abantu besifazane abangaphezu kuka-20 000 banikela emigwaqweni beyomashela ukulwisana nemithetho eyayingenabulungiswa yamapasi. Ukugujwa kalolu suku kulo nyaka kufike ngesikhathi sisazikhotha amanxeba kulandela udlame lwangoJulayi. Njengoba imizamo yokuvuselela imiphakathi, imindeni namabhizinisi kanye neDolobha iqhubeka, kusobala ukuthi abantu besifazane bango-1956 sebephindaphindeke kaningi. Abantu besifazane abehlukahlukene balapha eThekwini bakhombise ukuzinikela okufanayo nokwalabo bango-1956 ekutheni kubuyiselwe iTheku esimweni salo esihle. Basungule noma baba yingxenye yezinhlelo zokukhuculula, ukuphakela abeswele kanti bayaqhubeka nokudlala indima enkulu ekwakheni kabusha iDolobha. GRANT-IN-AID Abantu besifazane baseThekwini sebenesikhathi eside beviva phambili ekwakheni imiphakathi. Ngesikhathi uMasipala wethula uhlelo loxhaso, iGrant-In-Aid, okuwuhlelo lokuxhasa izinhlangano ezithuthukisa izinga lempilo emiphakathini, abantu besifazane yibona abahamba phambili ezinhlelweni zokwakha imiphakathi ezafaka izicelo zokuxhaswa. Ngonyaka wezimali owedlule (2019/2020), uMasipala usebenzise iGrant-In-Aid ukuxhasa izinhlangano ezingenzi nzuzo (NPOs) ngemali elinganiselwa kuR56m. Okuqaphelekayo wukuthi emawadini angu111 obekubhekwa kuwona abangase bathole uxhaso, u-60 wabahlomulile yizinhlangano eziphethwe ngabantu besifazane. Imikhakha ebhekelelwayo kulolu xhaso ngeyezinkulisa, ezenhlalakahle, ukuthuthukiswa kwezomnotho, ukuthuthukiswa kwamakhono, ezemidlalo, ezobuciko namasiko kanjalo nezinhlangano zezenkolo. Imibandela ebekiwe ukuze izinhlangano zifaneleke ukuthola uxhaso iqinisekisa ukuthi abathole uxhaso bakwazi ukuphendula ngabakwenze ngemali, ubulungiswa kanye nokuqinisekisa ukuthi

nangempela imiphakathi iyahlomula. Izicelo zikhangiswa emaphephandabeni, emisakazweni nasezinkundleni zokuxhumana ngoMashi. Ubudlelwano bokusebenzisana phakathi kweTheku nezinhlangano ezingenzi nzuzo bubalulekile njengoba lezi zinhlangano zithathwa njengamehlo nezindlebe zikaMasipala. AMABHIZINISI EZOLIMO Ubunzima imiphakathi ezithole ibhekene nabo ngenxa yobhubhane kanye nezibhelu ezisanda kwedlula kunikeze abanye abantu besifazane ithuba lokuba bakhe amabhizinisi ukuvala igebe elidalwe wukuvalwa kwezwe nokuvalwa kweningi lezitolo. Sibabonile nabalimi abasafufusa, abanye babo abesekwa nguMasipala oPhikweni lwamaBhizinisi ezoLimo, besukumela phezulu ukuqinisekisa ukuthi ukudla kwanele. Uhlelo lukaMasipala lwamabhizinisi ezolimo kuhloswe ngalo ukukhulisa umnotho ngokuthuthukisa imikhiqizo yamabhizinisi amancane naphakathi nendawo abizwa ngamaSMMEs emkhakheni wezolimo lunabantu besifazane abangaphezu kwamaphesenti ayisikhombisa ababhalisile. Lo mkhakha udlala indima enkulu ekuqinisekiseni ukuthi kunokudla okwanele, ikakhulukazi kulandela imibhikisho enodlame kaJulayi nobhubhane iCovid-19. Ngo-2020, uMkhandlu uvumele waphinde wamukela uhlelo lwezolimo i-eThekwini Agribusiness Master Plan, lapho kuphakanyiswe imikhiqizo emihlanu uMasipala ozogxila kuyona eminyakeni engu-10 ezayo. Le mikhiqizo yimifino, izimvu, izinkukhu, insangu nezingulube. Umkhakha wamabhizinisi ezolimo kuMasipala uhlinzeka ngezidingo ezibalulekile kubalimi njengezeluleko zebhizinisi, izinhlelo zokuqeqesha nokukhulisa amabhizinisi, ukuhlelwa kwamabhizinisi nokuphathwa kwezimali kanye nokwesekwa kwamabhizinisi ukuze angene ezimakethe. Lezi zidingo ziqinisekisa ukuthuthuka nokusimama kwabalimi abasebenza ukuthuthukisa imikhiqizo yezolimo, ikakhulukazi kule mikhiqizo ebalwe ngenhla. Amakhishi aphakela abantu abahlwempu ngolunye lwezinhlelo zikaMasipala zokulwa nobubha nokwakha

NGENHLA: IMeya yeTheku iKhansela uMxolisi Kaunda neKhansela uMpume Sithole onguSihlalo weKomidi lezokuPhatha nezabaSebenzi (owesithathu kusuka kwesokunxele) emcimbini wokwethula usizo kwabaxhaswe ngeGrant-In-Aid muva nje. KWESOKUNXELE: Imbokodo izibambele yona mathupha umsebenzi eMzinyathi. Amalungu eSinqobangokuhle Co-op echumayo kwezamabhizinisi ezolimo neqinisekisa ukudla okwanele emiphakathini eyakhelene nayo. amathuba emisebenzi. Nakulo mkhakha, abantu besifazane baseThekwini baphinde bazinikela ukuhlinzeka ngalolu sizo. Emakhishini angu-81 asebenzayo njengamanje, u-75 wawo uphethwe ngabantu besifazane. Ngaphandle kwabahlela ukusebenza kwamakhishi, kunamathuba emisebenzi abantu besifazane abangu-715 abapheka nsuku zonke ukuze kuphakelwe abantu abahaqwe wububha, abadla amaphilisi ezifo ezingamahlalakhona nokudingeka ukuthi badle ngaphambi kokuthatha amaphilisi. Lesi ngesinye sezibonelo ezinhle zabantu besifazane abanakekela baphinde bakhe imiphakathi yabo. Lawa makhishi avulwa nsuku zonke.

ingaphezu kukaR30 million, amaphesenti angu-30 azonikezwa lawa maqembu afaka abantu besifazane. Iminyango eyahlukene nayo iyakhuthazwa ukuba ibeke isabelomali salezi zinkontileka ezizokhangiselwa ngokukhethekile amabhizinisi alawa maqembu abantu, ngokoPhiko lokuThengwa kweMpahla lukaMasipala. Amaqembu okuhloswe ukusebenza nawo yilawo anamaphesenti angaphezu kwangu-51 abanikazi abangabantu abamnyama futhi kulabo banikazi kukhona abantu besifazane, intsha, amasosha angomakadebona nabantu abaphila nokukhubazeka. Onyakeni wezimali owedlule kuphela, uMasipala uhlinzeke ngomsebenzi olinganiselwa kuR1.1m kulawa maqembu abantu. UKUHLOMISA ABANTU Nangaphakathi, uMasipala BESIFAZANE weTheku wenze okufanayo Ngokomthetho ochibiyelwaqinisekisa ukuthi abantu we, iPreferential Procurebesifazane babekwa phambiment Policy Framework Act li ezihlelweni zokuhlonyiswa (PPPFA) ka-2017, abantu nasezikhundleni zokuphabesifazane babalulwe tha ngokwenza imizamo njengengxenye yamaqembu nezinhlelo eziningi. Lokhu okuhloswe ukusebenza nawo kufaka, phakathi kokunye, ngokohlelo iContract Partic- iNqubomgomo yokuLingana ipation Goals (CPG). Lokhu eMsebenzini. kuchaza ukuthi kunoma UMasipala uqale ukubeka nguyiphi ithenda yenani eleqhulwini ukulingana

ngokobulili ngemuva kokumenyezelwa ngokusemthethweni komthetho wokulingana emesebenzini, i-Employment Equity Act 55 ka-1998. Kuningi okuyimpumelelo uMasipala ongakusho ngokuhlomisa abantu besifazane. Senyukile isibalo sabantu besifazene eminyangweni lapho bekugcwele khona abantu besilisa phambilini. Kubikezelwa ukuthi kuzoshaya u-30 Juni 2022 kube sekukhona abantu besifazane abangamaphesenti angu-45.43 emazingeni amathathu okuphatha aphezulu kanye no-43.12 wamaphesenti kuwona wonke amazinga omsebenzi. Kungemizamo yalolu hlobo uMasipala uze wachonywa uphaphe ngemiklomelo iStandard Bank Top Women Award ngo-2020 neTop Empowerment Award muva nje emiklomelweni evelele yokuhlomisa, ama-Oliver Top Empowerment Awards. Lo mklomelo ubuhlonipha uMasipala ngombono wawo ongaguquki kanjalo nobuholi obehlukile obuthinte izimpilo zabantu besifazane kuleli, ikakhulukazi ngesikhathi sobhubhane.

IMIBANDELA YEGRANT-IN-AID Ukuthola uxhaso, izinhlangano kumele: • Zibhalise njengeNPO eMnyangweni wezeNhlalakahle • Zibe ne-akhawunti yasebhange esebenzayo • Zibe neminyaka engaphezu kwemibili zisebenza • Zibe nezitatimende zemali ezihlolwe ngumcwaningimbhuku noma • Incwadi efungelwe yesimo sezimali • Inhlangano engakaze ixhaswe nguMasipala eminyakeni yezimali eyedlule.

IMIBANDELA YOKUQALA IKHISHI EWADINI YAKHO UMasipala ubheka lokhu okulandelayo: • Kuhlonzwa amazinga okweswela • Amakhansela ahlonza izindawo ezifanele zokwakha ikhishi uma lingeke libe sehhlolo lomphakathi • Kuqashwa amalungu omphakathi azokwenza imisebenzi eyahlukene ekhishini. Ziningi nezinye izinhlelo zokungenelela uMasipala ahlomisa ngazo abantu besifazane ukuze nabo babe neqhaza emnothweni.

UKUBHALISA OHLWINI LWAMABHIZINISI EZOLIMO LUKAMASIPALA WETHEKU: Osomabhizinisi abanesifiso sokubhalisa bangathumela le mininingwane elandelayo nge-email ku-Nelisiwe. Gumede@durban.gov. za noma bashayele ku-031 322 9268 ngolwazi olwengeziwe. • Igama nesibongo • Ikheli le-email • Igama lenkampani, inombolo ebhaliswe ngayo neminyaka selokhu yaqala ukusebenza • Uhlobo lwemikhiqizo yakho • Inombolo yewadi negama lendawo/ isifunda

Uma uneminyaka engu 35 – 49 noma 50 kuya ngaphezulu, usungabhalisela ukugomela iCovid-19. BHALISELA UKUGOMA

Shayela u *134*832*ID Number# NOMA thumela umyalezo othi REGISTER ku 060 012 3456 kwinombolo kaWhatsapp NOMA gcwalisa imininingwane yakho ku vaccine.enroll.health.gov.za


IKHASI 6

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

15-31 AGASTI 2021

Ugixabezwe ngesipho sendlu owesifazane osekhulile

LAPHA kungesikhathi uNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu Natal, uMnuz Jomo Sibiya edlulisela umuzi abawakhele uGogo uMsweli ona-70. MAGAYE CELE USWELE amaphiko okundiza ugogo oneminyaka engu-70 yobudala ngesikhathi uNgqongqoshe wezokuHlaliswa Kwa-

bantu kanye nemisebenzi yoMphakathi esiFundazweni iKwaZulu Natal, uMnuz Jomo Sibiya emgixabeza ngendlu entsha ceke. Loyo nguNkk Msweli wakwaMaqumbi,

KwaMaphumulo Ogwini olusenyakatho yesiFundazwe iKwaZulu Natal. UGogo uMsweli ubekade ehlala nabazukulu bakhe abathathu kanye nesizukulwane sakhe endlini ewurawondi ebibukeka ingekho nje nhlobo esimweni esigculisayo. “Angazi ngingachaza ngithini nje indlela engijabule ngayo kayicahazeki. Impela ungafunga ukuthi ngilele ngiyaphupha ngisazophaphama kuthiwa ayikho yonke lento engiyibonayo namhlanje. Impela mkhulu uNkulunkulu esimkhonzayo. Ngangingazi ukuthi kukhona uMsamariya olungileyo oyongenzela into enkulu kangaka,’’kuzibongela uGogo Msweli. Ngaleli langa kuhlalukile ukuthi umuzi owakhelwe uGogo uMsweli wakhiwe ngabantu abasha besifazane abasendimeni yezokwakha nababonakala benekusasa eliqhakazile kakhulu kuwona lo mkhakha ngaphambilini owawubonakala unabantu abaningi besilisa. Ukwakhelwa kukaGogo uMsweli le ndlu kungaphansi kohlelo olumqoka kakhulu lokwakhiwa kwezindlu kule ndawo olubizwa ngokuthi ikwamaQumbi Rural Housing Projects Phase 1. Luqhubeka kuWard 4. Kuze kube yimanje sekwakhiwe izindlu ezingu-1500 ngaphansi kwalolu

hlelo. Sekusetshenziswe imali eshisiwe elinganiselwa ku-R17, 6 million. UMnyango wezokuHlaliswa kwabantu esiFundazweni iKwaZulu Natal uzibophezele kakhulu ekutheni bathole ukwesekwa abakudingayo bonke abantu abasha abakulo mkhakha. Kuvelile ukuthi bangaphezulu kuka-30 abantu abasha ababandekayo kulo luhlelo. Phakathi kwabo kubalwa namantombazane angu16. Abafundi okuyibona abaqashwe ngokugcwele ekutheni kwakhiwelwe abantu bakwamaQumbi izindlu banikezwe izitifiketi ngalo lolu suku. “Ukuthuthukiswa kwamakhono abantu abasha ngezinye zezinto ezimqoka kakhulu KwaZulu Natal. Ngalolu hlelo sifuna ukubona abantu abasha kuba yibona abaphambili kulona,’’kuchaza uNgqongqoshe uSibiya. Ukugqokiswa kwemiyezane obekuhambisana nokunikezelwa kwezitifiketi kubantu abasha bakule ndawo bekukade kuhlelwe uMnyango wezokuHlaliswa kwabantu KwaZulu Natal ngokubambisana nawo uMkhandlu waKwaMaphumulo kanye nesiFunda, iLembe.

Izinhlangano ezingenzi nzuzo zilule isandla emiphakathini

INHLAGANO kaNdunankulu waKwaZulu Natal, uMnuz Sihle Zikalala inezinhlelo zokunikezela ngosizo kumalunga omphakathi. MAGAYE CELE INHLANGANO kaNdunankulu wesiFundazwe saKwaZul Natal, uMnuz Sihle Zikalala isithathe isinqumo sokuthi isebenzisane ngokubambisana kanye nenhlangano iMoti Foundation ngenhloso yokunikezela ngosizo emindenini ehlukene yaKwaZulu Natal ekhinyabezwe kakhulu yizibhelu zakamuva. Lezi zinhlangano zombili zizohambela leyo mindeni etholakala KwaZulu Natal yonkana. Inhloso yazo ukunikezela ngosizo lwegilosa yokudla kanye nokubhekelela nangezinye zezidingo ezimqoka

kakhulu. Inhlangano kaNdunankulu ibizwa ngokuthi iZikalala Development Trust ngesikhathi eyethula wakubeka kwacaca bha ukuthi izobe igxile kakhulu ekubhekeleleni izidingo ezimqoka kakhulu zabantu abahlwempu abangabahlali baKwaZulu Natal namaphethelo. Zombili lezi zinhlangano ngokulekelelana kuhlalukile ukuthi zizonikela ngamagilosa okudla afinyelela esigidini samarandi. Ukudla okunikelwa yilezi zinhlangano kuthiwa okungenani kumele kukwazi ukulonda imindeni eswele kuze kuphele izinyanga ezintathu ezigcwele.

Uvele wabonga wanconcoza uNkk Gloria Shezi ngokuhlala ongowase-Adams ongomunye wabahlomulile kulolu hlelo. Uthe unabantwana abathathu ababhekile. Wathi izinto zibonakala zinzima kakhulu kuyena muva nje. Ezibongela kuzona zombili lezi zinhlangano uthe: “Sithanda ukudlulisa okukhulu ukubonga lokhu kuzona zombili izinhlangano ezibone kumqoka ukuthi zisilekelele ngalolu hlobo. Impela lokhu kusho lukhulu kithina. Sengathi uNkulunkulu anganibusisa’’usho kanje. Isikhungo saseCharsworth esigcina abantu abadala kanye nezintandane esibizwa

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

ngokuthi iBenevelent Home naso sigixabezwe ngenqwaba yegilosa yokudla. USihlalo walesi sikhungo uMnuz Naren Pattundeen uthe lomnikelo walezi zinhlangano uzokwenza umehluko omkhulu kubantu abadala abahlala ngaphakathi kulesi sikhungo. “Kuyasijabulisa kakhulu ukubona lesi sikhungo sithola usizo lwalolu hlobo. Ngikholwa ukuthi lolu sizo luzokwazi ukuthi lusigcine isikhathi eside. Kuthina okuyikhona okumqoka kakhulu ukubona bonke abantu abadala abahlala kulesi sikhungo bephila impilo engcono,’’usho kanje.


15-31 AGASTI 2021

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

UDj ukhuthaze abesifazane ukuthi bavuke bazithathe

MFANAFUTHI NXUMALO UDJ Sparks Bantwana wodumo lwengoma ethi Qolo lami ugqugquzele abesifazane bakuleli ukuthi bazibambe kwezemfundo. UDJ Sparks Bantwana ukusho lomhu ngesonto ngesikhai ebungaza usuku lwakhe lokuzalwa endaweni yokucima ukoma eZanzibar Kwamashu.

USparks ucule izingoma zakhe ezimnandi adume ngazo ngesikhathi eqeda ukunandisa ube esenxusa abesifazane ukuthi bazibambe ziqine. “Siyazi baningi abantu besifazane abafuna ukungena emculweni noma ekulingiseni ngithi mina kubo bonke abafisa kanjalo ngicela ukuthi kuqala mhlawumbe bayofunda noma uma sebekuyona lendima bafunde ukuze

bakwazi ukuphila uma izinto sezingahambi kahle bawele kukona. “Siyaqonda ukuthi abesifazane banamdla Kakhulu njengoba imizi eminingi imile ngenxa Yabo. Sithi bonke abesifazane abanikwe ithuba lokuzibonakalisa bangangcindezelwa,”kubeka uSparks. UNana Mazibuko obehambela lomcimbi uthi ujabule kakhulu ukubona uDJ SPARKS. “Inyanga yami isimane yaphelela lo DJ ngihlezi ngimubona kumabonakude noma ngimuzwe emsakazweni usikhuthaze kamnandi ekutheni sivuke sizithathe njengabantu besifazane. “Yize nami ngifuna ukungena emculweni kodwa namuhla ngifundile ukuthi kufanele nginga ngabi ngomculo kuphela kodwa kufanele ngibe nokunye engizoziphilisa ngakho kungaba imfundo noma ibhizinisi, “kubeka uNana. Umhleli womcimbi uBonga “Dude” Ncube we Street Chillars uthe benze lomcimbi ukuthi ukuze intsha ikakhulu yabesifazane ivuke izithathe. “Emphakathini eminingi ebesifazane bashaywa indiva banikwe imisebenz ezoba ngcindezela kodwa namuhla sithe abaphume ngobuningi babo ukuze begqugquzeleka .“Sifuna lesifundazwe sikhiqize iningi lamaciko esifundazwe uma lokho kwenzekile siyobe siwinile njenge sifundazwe futhi nomnotho wethu uyosimama,” kubeka uDude.

Kufezeke isifiso sama-LGBTQIA aseMgungundlovu ngamafilimu

UPORTIA Ndudane ezibambele mathupha kwi-camera yakhe. TSEPO MOTLOKOA ABE-LESBIAN, Gay, Bisexual, Transgender, Queer, Intersex and Asexual (LGBTQIA) bakhothama kuhulumeni kazwelonke nowaKwaZulu-Natal ukuba ungabashiyi ngaphandle abantu abathandana nobulili obufanayo emikhankasweni eyenziwayo efuze owe-16 Days of Activism against Gender-based Violence ngoba nabo kabasali ngaphandle kulokhu

kuhlukunyezwa njengoba beyizisulu zokudlwengulwa baze babulawe. Lesi yisicelo sikaPortia Ndudane owumqondisi weDynamites Youth Organization yaseMgungundlovu obekhuluma neSivubela Intuthuko echaza ngezinhlelo zabo eziqhubekayo zemibukiso yamafilimu akhombisa ngempilo yabantu abathandana nobulili obufanayo. UPortia uthe leli thuba lenyanga yasesifazane u-August bafuna ukulisebenzisa ngend-

lela ehlukile bengabesifazane abathandana nobulili obufana nobabo ngokuthi bafundise kabanzi ngale mpilo kungabi sengathi yinto ewumdlalo. Uthe uyakholwa ukuthi likhulu iqhaza elingabanjwa ngama-LGBTQIA ekulweni nodlame lobulili olukhombisa ukukhula ngesivinini lapha eNingizimu Afrika. “Sesihlukumezeke kakhulu singabesifazane ngokuthandana nabanye besifazane okugcina ngokuthi sibulawe. Kunomngani wami owabulawa ngabesilisa ngoba bemsola ngokuthi ubathathela izintombi zabo. Umngani wami waqale washaywa, wadlwengulwa wabe esegwazwa waze wafa. Sifuna amaphutha alolu hlobo angaphinde enzeke ezweni lethu okuthiwa likhululeke kuwona wonke umuntu ohlala kulona. Sizimisele ukuhlelela isizukulwane esizayo ngolwazi lokuthi umuntu othandana nobulili obufana nobakhe uyahlonishwa. Sicela umphakathi nemindeni yethu basamukele njengoba sinjena nathi singabantu kuhlule imizwa yethu ephambene nobulili bethu,” usho kanje. La mafilimu abukwa eMgungundlovu ngale nyanga aqoshwe ngabesifazane abathandana nobulili obufanayo lapho bebeveza khona ubuciko babo ekuhlanganiseni imibukiso ngaphansi kwalo mkhakha obewaziwa njengowabesilisa kuphela.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 7

SIVUBELA Intuthuko ITHIMBA LEPHEPHA >> UMHLELI MAKHOSI MNGOMA makhosi@sivubelaintuthuko.co.za 083 618 4252

NOKULUNGA MAJOLA Info@sivubelaintuthuko.co.za 072 1792 255

>> GRAPHIC DESIGNER AND LAYOUT LINDA MAZIBUKO trusouth1@gmail.com 076 4847 269

SANELISIWE NGEMA Info@sivubelaintuthuko.co.za 067 920 8446 MAGAYE CELE info@sivubelaintuthuko.co.za 067 920 8446 TSEPO MOTLOKOA info@sivubelaintuthuko.co.za 067 920 8446 IWEBSITE YETHU www.sivubelaintuthuko.co.za sivubela intuthuko @sivubela intuthuko sivubelaintuthuko B 33 Ten Acre Thembeni Groutville, P.O Box 4473, Stanger 4450, 270 Stamford Hill Road Unit 1 Morningside, Durban, 4000 UMA UFUNA UKUKHANGISA KULELIPHEPHANDABA , SHAYELA 067 920 8446 / 083 618 4252


IKHASI 8

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

15-31 AGASTI 2021

Sivubela Intuthuko

EZEMIDLALO Ithemba ngomgadli wakuleli osehlangene nomqeqeshi wakhe wakudala

UPHAKAMANI Mahlambi okunethemba ngokuthi usezokwenza kahle manje ngaphansi kobuholi bukaGavin Hunt kwiChippa United. MAGAYE CELE USEPHONSELWE inselelo yokuthi aguqule impilo yakhe ngokushesha umdlali webhola likanobhutshuzwayo okhungethwe yizinkinga uPhakamani Mahlambi ozilolonga neChippa United okwamanje. UJabu “Shuffle” Mahlangu owayeyisethenjwa seKaizer Chiefs nguyena ophonsela uMahlambi le nselelo. UMahlangu ukhuluma kanjena nje kuzokhumbuleka phela ukuthi uMahlambi sekukaninngi ephazamiseka ebholeni lezinyawo ngenxa yezizathu eziningi ezahlukene. Abanye babesola indlela yokuziphatha kwakhe uMahlambi njengembangela edala ukuthi lehle enkundleni izinga lakhe lokudlala ibhola.

“Sekusezandleni zakhe manje ukuthi uMahlambi ufuna ukwenzani ngempilo yakhe. Kodwa manje ngikholwa ukuthi sekuyisikhathi sokuthi azibonakalise avuke azithintithe. Kwazise nesikhathi asimlindile naso siyahamba,’’usho kanje uBenny. UMahlambi ngesikhathi esanda kuvela ebholeni lezinyawo kwaba nenkulu inhlokomo le abantu abaningi bemjabulela. Kwaba nabanye ababelimisa ngesihloko elokuthi uzokwazi ukuthi amele kahle iNingizimu Afrika aze afinyelele naphesheya kwezilwandle. Abanye babeze bamfanise noBenny bethi abangabazi ukuthi uzohamba ibanga elide njengaye uBenny okuyinto namanje angakaze ayenze uMahlambi ngenxa yazo izinkinga zangaphakathi nezangaphandle kwenkundla. UMahlambi ebholeni wavezwa nguGavin Hunt obalwa nabanye babalolongi abaseqophelweni eliphezulu kakhulu. Njengamanje njengoba esezilolonga neChipa elolongwa nguyena kanye uHunt kulokoza inhlansi yethemba kubalandeli bebhola likanobhutshuzwayo baseNingizimu Afrika ngokubuya kwalo mgadli. UMahlambi uke waba semabhukwini ezingqungqulu zebhola lase-Afrika i-Al Ahly okuyimanje ilolongwa nguPitso ‘Jingles” Mosimane. Kodwa nalapho wabuya ngenxa yakho njalo ukubhimba kwezinto. Uke waba semabhukwini futhi eMamelodi Sundowns nakhona wagcina eshiyile. KwiChippa United kubhekeke ukuthi enze kangcono kakhulu ukuze ageze igama lakhe. Osuthwini nakhona uke wathi nqu kwabhimba nakhona.

Kubhekwe itheku ukuthi lisingathe ngempumelelo imidlalo yama-athletics

KULINDELEKE ukuthi zidudulane kanjena emqhudelwaneni wezokusubatha ozobe ugijinyelwa KwaZulu Natal. MAGAYE CELE SEKUQINISEKISIWE ukuthi iDolobha, iTheku lizosingatha imidalalo yabasubathi emikhulukazi nenhlonishwayo kakhulu ebizwa ngokuthi yiSouth Africa Cross Country Championship. Le midlalo kuthiwa ihlelelwe ukuthi ibe maphakathi noSeptember. Kuzokhumbuleka phela ukuthi bese kunesikhathi eside kakhulu inhlangano yakulesi siFundazwe eyengamele ezokugijima, iKwaZulu Natal Athletics (KZNA) yagcina ukuthi isingathe lemidlalo ethathwa njengemikhulu eNingizimu Afrika yonke. Izindaba zokuthi lesi siFundazwe sizosingatha le midlalo ziqinisekiswe yiloyo onguSihlalo weKwaZulu Natal Cross Country uMnuz Sabelo Ndlovu. UNdlovu uthe njengamanje bamatasa kakhulu sebevele baqalile balungiselela ukusingathwa kwale midlalo agcizelele kakhulu ubumqoka bokuthi ibonakale isingathwa ngempumelelo lapha eThekwini. “Kuyimanje sesivele siqalile sesiphezu kwawo amalungiselelo

ale midlalo. Sifuna ukwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi le midlalo iba yimpumelelo enkulu. Siyethemba ukuthi lokho kuzokwenzeka inqobo nje uma sonke sisebenzisana kahle,’’usho kanje. UNdlovu uveze ukuthi basebenzisana nabe-Athletic South Africa (ASA) ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi le midlalo ihamba kahle futhi ifinyelela eqophelweni eliphezulu. Selivele seliqokiwe iqembu lakuleli elizobe ligijima kulo mqhudelwane. Kuleli qembu kukhona nababili baKwaZulu Natal okunguZola Sokhela kanye no-Army Naude. Kubhekwe ngabomvu ukuthi elakuleli lizokwenza kanjani njengoba ngokujwayelekile lijwayele ukwenza kahle kakhulu lingaphazanyiswa. Phakathi kwabanye babasubathi abaseqenjini lakuleli kubalwa uBenjamin Richardson, uJohn Adelosa kanye no-Andrew Erasmus. Bobathathu amehlo azobe ethe njo kubona. Eqenjini labesifazane kuzobe kubhekwe kakhulu uBanele Shabangu, uDeane Fourch, u-Anje Nale nabanye abaningi.

USuthu luthembisa ukwenza kahle kweyeCaf Champions League MAGAYE CELE

UMLOLONGI wamaZulu Fc, uBenny uthembisa ukuthi leli qembu lizogila izimanga emidlalweni yeCaf Champions League.

UMLOLONGI weqembu eligijima kwiDstv Premiership, amaZulu fc, uBenny MCcarthy ufunga uyagomela uthembisa abalandeli boSuthu ukuthi leli qembu lizokwenza ezibukwayo emqhudalwaneni wasezwenikazi i-Afrika,iCaf Champions league.Lo mlolongi ukhuluma kanjena nje kuzokhumbuleka ukuthi uzifake emabhukwini omlando ngokuthatha uSuthu alubekisele indawo kule midlalo ethathwa njengemikhulu kunayo yonke ekhona ezwenikazi i-Afrika. UBenny nezakhe baqophe umlando ngesizini edlule ka-2020/2021 ngesikhathi kusongwa isizini belele endaweni yesibili. Bese kuphele isikhathi eside kakhulu leli qembu lagcina ukulala isibili emidlal-

weni yeligi yaseNingizimu Afrika. UBenny uthe bazokwenza isiqiniseko esikhulu sokuthi benza okungaphezulu okwalokhu okwenziwe ezikaShintsha Guluva, iKaizer Chiefs yona eqophe umlando ngesikhathi ifinyelela okokuqala ngqa emlandweni wayo emidlalweni yale midlalo yamanqamu. Sekungumlando manje ukuthi iziMpofana zaxetshulwa kabuhlungu kowamanqamu i-Al Ahly yaseGibhithe ngamagoli amathathu kwelingekho. “Thina sifuna ukuhamba ibanga elide kakhulu kulo mqhudelwano. Ngikholwa ukuthi abadlali esinabo banawo amandla enele okuthi bangadlala ibhola elihle baze bakwazi ukuthi bagcine befinyelele esigabeni samaqoqo futhi badlule lapho bafinyelele kowamanqamu,’’kuthembisa

uBenny. Lo mlolongi ukhuluma kanjena nje kuzokhumbuleka ukuthi noSihlalo waleli qembu, uMnuz Sandile Zungu uthe ufuna ukubona uSuthu ludlala kahle kulo mqhudelwano. Naye uManzini uthembise abalandeli boSuthu ukuthi leli qembu lizogila ezibukwayo kulo mqhudelwano omkhulu e-Afrika. USuthu kulo nyaka luzobe lugabe ngabadlali elisanda kubasayinisa phakathi kwabo kubalwa labo ngaphambilini ababesemabhukwini eZimpofana okunguHendrick Ekstein kanye noKgotso Moleko. USuthu lusanda kuhlukana noSimphiwe Tshabalala okungumdlali ebelimsayinise ngesizini eyedlule.

031 828 0433 / 082 597 6669

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.