Sivubela Intuthuko Newspaper

Page 1

SIVUBELA Intuthuko

ADVERTISING: 067 920 8446 JULAYI 2021

Umyalezo ovela kuMeya waKwaDukuza, uKhansela Dolly Govender

iKhasi 2

FACEBOOK: SIVUBELA INTUTHUKO

SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

LIMAHHALA USHICILELO 63

UHlomuka uyazidla ngeqhaza lezemfundo eHarry Gwala District udaba ekhasini 3.

UMeya nomhlangano nabamabhizinisi ngemuva kwezibhelu

iKhasi 4

UMNU Sipho Hlomuka ehambele ezikoleni zaseHarry Gwala District.

UMnyango uhlomulise abalimi

iKhasi 5

Uqophe umlando uMosimane enqoba inkanyezi yesithathu

iKhasi 8


IKHASI 2

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

JULAYI 2021

UMYALEZO OVELA KUMEYA WAKWADUKUZA, UKHANSELA DOLLY GOVENDER MAYELANA NOKUBUNGAZWA KOSUKU I-INTERNATIONAL MANDELA DAY. Zakhamizi zaKwaDukuza, NgeSonto, zingu -18 kuJulayi 2021 sihlanganyele nomhlaba wonke ukukhumbula usuku lowayenguMongameli wezwe, uMnuz Nelson Mandela olwaziwa ngokuthi i International Mandela Day. Kwindida yomlando, sikhumbule leli qhawe lamazwe omhlaba kanye nesibani sethemba esalwela ubulungiswa benhlalakahle yethu amakhanda ethu ekhotheme amahloni ngenxa yemibhikisho enodlame nokuzicekela phansi esizithola sikukona. Amakhanda ethu abekhothanyiswe amahloni ngoba siyazi ukuthi uTata uMadiba akasoze aziqhenya ngesikwenze ngalesi sikhathi. Umthethosisekelo wethu, ongumthetho omkhulu wezwe, uyasiyala ukuthi, kwezinye izinto, • singakhohlwa yikamuva lethu la bebungekho khona ubulungiswa; • ukuhlonipha labo abahluphekela ubulungiswa kanye nenkululeko ezweni lethu; • sihloniphe labo abasebenzela ukwakha nokuthuthukisa izwe lethu; • ukwelapha ukwahlukana kwesikhathi esedlule nokusungula umphakathi owakhelwe esisekelweni sentando yeningi, ubulungiswa kwezenhlalakahle kanye namalungelo abantu ayisisekelo; Lo mthetho ophakeme wezwe lethu uphinde uyale abantu baseNingizimu Afrika njengoba bebeka izisekelo zomphakathi wentando yeningi ovulelekile lapho uhulumeni esuselwe entandweni yabantu futhi sonke isakhamuzi sivikelwe ngokulinganayo ngumthetho; kanye nokwakha iNingizimu Afrika ebumbene nenentando yeningi ekwazi ukuthatha indawo yayo efanele njengombuso ozimele emndenini wezizwe. Izigameko zemibhikisho edlule zikuphikisile lokhu uMthethosisekelo osiyala ukuba sikwenze. Njengezakhamizi sehlulekile ukwenza ngendlela ehlonipha labo, njengoMadiba, abahlupheka ngenxa yokulwela ubulungiswa kanye nenkululeko ezweni lethu. Esikwenzile bekungekhona ukuqaphela ukungabi nabulungisa kwesikhathi esedlule. Sihlulekile ukuhlonipha labo, njengoMadiba, abasebenzela ukwakha nokuthuthukisa izwe lethu. Akungabazeki ukuthi izenzo zobugebengu zemibhikisho edlule azizange zibambe iqhaza emizamweni yokuqeda ukwahlukana kwesikhathi esedlule nokuqhubeka nomsebenzi wokwakha umphakathi osuselwe kumagugu entando yeningi, ubulungiswa kwezenhlalakahle kanye namalungelo abantu ayisisekelo. Ngokwezinga lapho ukungazinzi esikuthole esikhathini esedlule kunethuba lokuthi osomathuba bafune ushintsho kuhulumeni, asizange siphendule ikhwelo

lokubeka izisekelo zomphakathi wentando yeningi ovulekile lapho uhulumeni esuselwe entandweni yabantu . Sihlulekile ukuqinisekisa ukuthi zonke izakhamuzi zivikelwe ngumthetho. Besingenakubalwa phakathi kwalabo abangakha iNingizimu Afrika ebumbene ekwazi ukuthatha indawo yayo efanelekile njengombuso ozimele emndenini wezizwe. Besingeke sibalwe kulabo ngoba senze ngendlela eyaphonsela inselelo igunya kuhulumeni wentando yeningi uqobo esizifakele lona, ngaleyo ndlela sakha izimo zokuthi lilahlekelwe ukuthembeka phakathi kwezakhamizi. Njengoba sigubha impilo nezikhathi zikaTata uNelson Mandela, oyisibonelo sentando yeningi, ubulungiswa kwezenhlalakahle kanye namalungelo abantu ayisisekelo, kufanele silungise amaphutha ezenzo zethu ukuqinisekisa ukuthi sisebenzisa ilungelo lethu lokubhikisha ngaphandle kokuhlukumeza amalungelo abanye. Isigaba 11 soMthethosisekelo sithi wonke umuntu unelungelo lokuphila. Ilungelo lokuphila liqinisekisiwe ngaphansi kwemigomo ethile. Iningi labantu bakithi lishonile kulezibhelu njengoba babencintisana ukuthola noma yini ababedinga ukuyibamba noma lapho bebaleka begxobana. Ukuphangwa nokucekelwa phansi kwamakhemisi nezikhungo zezempilo kwakusho ukuthi labo ababedinga imishanguzo yabo yansukuzonke babengenakho ukuthola usizo. Ukudala ukuthi abezimo eziphuthumayo njengama-ambulensi angasebenzi kwakuyisiqiniseko esiqinisekile sokubukela phansi ilungelo eliyisisekelo lokuphila. Lapho abazali bengenakho ukuthola usizo lwezokwelashwa nemithi yezingane zabo, lokho kulimaza ilungelo lokuphila. Lapho abesifazane abakhulelwe bengakwazi ukufinyelela ezikhungweni zezempilo futhi benganikezwa isithunzi sokubelethela ezibhedlela, lokho akuqinisekisi ilungelo lokuphila. Izwe libhekene nesifo esibulalayo seCoronavirus. Ukuhlangana ngobuningi, ngaphandle kwezifonyo njengoba kwenzeka ngesikhathi sezibhelu, kudala amathuba okuthi leli gciwane libhebhetheke ngesivinini. Ukwehluleka ukuthobela imithethonqubo ye-Lockdown akukhona nje ukuthi kuyicala lobugebengu, kubukela phansi amandla ombuso okuvikela, ukukhuthaza nokuhlonipha ilungelo lokuphila. Umhlaba wonke ubambe iqhaza ohlelweni lokugoma. Ukwenza ukuthi izikhungo zezempilo zihluleke ukuqhubeka nohlelo lokugoma izakhamizi eziswele kwenza ukuthi umbuso wehluleke ukwenza imisebenzi yawo. Isigaba 27 siveza ukuthi:

(1) Wonke umuntu unelungelo lokuthola • izinsizakalo zokunakekelwa kwezempilo, kubandakanya ukubeletha; • ukudla okwanele namanzi; futhi • ukuvikeleka komphakathi, kufaka phakathi, uma bengakwazi ukuzondla kanye nabondliwayo, usizo olufanele lomphakathi. (2) Umbuso kufanele uthathe izinyathelo zomthetho nezinye ezinengqondo, ngaphakathi kwezinsiza ezikhona, ukufeza ukuqhubekela phambili ngokufezekiswa kwelungelo ngalinye kulawa. (3) Akekho umuntu onganqatshelwa ukwelashwa okuphuthumayo. Ngiveza lezi zinhlinzeko zoMthethosisekelo ukudlulisa umyalezo wokuthi sinezizathu zonke zokugubha uTata uMadiba amakhanda ethu ebheke phansi ngenxa yamahloni, ngoba ekusebenziseni inkululeko yethu eqinisekiswe ngumthethosisekelo, asikwazanga ukuvikela amalungelo abanye aqinisekiswe ngokomthethosisekelo. Siphikisane ngqo nemibono kababa weNingizimu Afrika yentando yeningi, Isithwalandwe / Seaparankoe, ilungu elihlonishwayo le-Order of Mapungubwe, uTata Nelson Mandela. Abanye basebenzise leli thuba ukwenza izinto ezingasizanga ukudambisa udlame esilubonile. Ngokunganaki noma ngenye indlela, babeke imigoqo evimba ukungena ezindaweni zabo okuhlalwa kuzona. Ngokwenza lokho, basebenze ngendlela ehlukanisa imiphakathi yethu ngokobuhlanga. Sibonile amavidiyo abantu, ikakhulukazi abantu abamnyama base-Afrika, benqatshelwa ukungena kulezi zindawo, noma ngabe beza bezofuna amagaraji kaphethiloli, amakhemisi nezitolo ezinkulu noma babuyela ezindaweni abahlala kuzo. Ukuziphatha okunjalo akunakuthethelelwa. Ayikho ingxenye yaleli zwe, kubalwa neKwaDukuza, ebekelwe izinhlanga ezithile kuphela. Lokhu akuyona into uMadiba ayilwelayo. Njengoba sigubha impilo nezikhathi zaleli qhawe ngaphansi kwendikimba ethi “Isandla esisodwa singondla esinye”, masisize labo ababhekene nobhubhane lwe-Covid-19 ngokubanikeza ukudla nezinye izidingo eziyisisekelo. Ngomoya wobuntu, masiphonse esivivaneni ngakho konke okusemandleni ethu ekubuyiseni ingqalasizinda yethu ecekelwe phansi yimibhikisho enodlame. Uma sibumbene siyolokhu simile, kodwa uma sehlukene phakathi siyowa! Sengathi umoya kaNelson Mandela ungaqhubeka ukusikhuthaza!

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


JULAYI 2021

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 3

UHlomuka uyazidla ngeqhaza lezemfundo eHarry Gwala District TSEPO MOTLOKOA UNGQONGQOSHE woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMnu Sipho Hlomuka uhlabeke umxhwele ngokuvulwa kwezikole eHarry Gwala District eXobho okuyisifunda ayiPolitical Champion yaso njengoba bezivulwa emuva kokuvalwa kwekhefu laphakathi nonyaka. UMnu Hlomuka uzifikele mathupha kwezinye zezikole eyohlola ukuthi zivule kanjani njengoba ehambele eZabekweni Primary School naseMazabakweni High School ehambisana nobuholi besishayamthetho saKwaZulu-Natal nobuholi bendawo okuyiMeya yaseHarry Gwala uMnu Zamo Nxumalo neyaka-MasipalawaseBuhlebezwe uNks Bathobile Ngubo. Kulokhu kuvakashela kwabo baye batshelwa ngezingqinamba ezibhekene nohlelo lokufunda nokufundisa ngaphansi kwalesi sikhathi esinzima sokubheduka kweCOVID-19. Ekhuluma namakomidi ezikole nobuholi bendawo uMnu Hlomuka ukhuthaze ukuqinisekisa ukuthi bazimisele kwabakwenzayo baqikelele ukuthi intuthu-

ko iyabonwa ngamehlo. “Le mfundo eniyifaka ezinganeni yazini ukuthi yileyo eyophilisa isizwe futhi ezosithuthukisa. Siyanigqugquzela ukuba konke enikufaka ezinganeni kube ngokuhle esiyoziqhenya ngakho. UMnu Nxumalo iMeya yaseHarry Gwala District utuse ukuhanjelwa wuhulumeni wesifundazwe ukuzobheka izikole ezisesifundeni sabo ukuthi ziqhuba kanjani kanjalo nokukhuthaza bonke ababambe iqhaza ekuthuthukisweni kwezingane esikoleni. Uncome uhulumeni wesifundazwe ngokuba ngonakekelayo nangokusondela kubantu. Naye uphonse itshe esivivaneni ekhuthaza zonke izinhlaka zezemfundo ukuqinisekisa ukuthi izingane zidla ukudla okuyikhona okuzokwenza zithuthuke kuthuthuke nesizwe. Amazwi kaMnu Nxumalo enanelwe yiMeya yaseBuhlebezwe uNks Ngubo naye otuse uhlelo lwezemfundo ngokunakekela ngalesi sikhathi esinzima sezwe njengoba kubheduke iCOVID-19 eshintshe indlela yokuphila kuyona yonke iminxa yempilo kuze kufike nasohlelweni lwezemfundo ezikoleni.

UMNU Sipho Hlomuka ehambele ezikoleni zaseHarry Gwala District.

IKwaZulu-Natal nohlelo lokuxhasa osomabhizinisi abasafufusa

UNDUNANKULU waKwaZulu Natal, uMnuz Sihle Zikalala owethule uhlelo lokulekelelwa kosomabhizinisi bakulesi siFundazwe abasafufusa. MAGAYE CELE LUSEQHULWINI uhlelo likahulumeni wesiFundazwe, saKwaZulu Natal lokulekelela osomabhizinisi abancane ukuze badlondlobale. Lezi zindaba ziqisekiswe nguNdunankulu wakulesi siFundazwe, uMnuz Sihle Zikalala. Ubekade ekhuluma kabanzi ngohlelo lokuxhaswa kosomabhizinisi abasafufusa baKwaZulu Natal olubizwa ngokuthi yiKZN Youth Fund. Kuhlalukile nokuthi ifinyelela ku-R69 million imali ezosetshenziselwa ukulekelela osomabhizinisi abasafufusa baK-

waZulu Natal ngaphansi kwalolu hlelo olubonakala luzofana nesibani kubantu abasha abaningi bakulei siFundazwe. Ngokusho kukaMnuz Zikalala ayikho into emqoka ngaphezulu kokesekwa kosomabhizinisi abancane. Uchaze osomabhizinisi abasafufusa njengabantu abawumgogodla womnotho waKwaZulu Natal. Uthe yingakho nje kuseqhulwini kubona ukubhekelela izidingongqangi zosomabhizinisi abasafufusa. “Thina sikholwa ukuthi abantu abasha kumqoka ukuba bangene kwezamabhizinisi bangesabi. Thina njengohulumeni waKwaZulu Natal kungumsebenzi wethu ukuqinisekisa ukuthi siyabeseka ngaso sonke isikhathi osomabhizinisi bethu abancane abanentshisekelo yokudlondlobalisa amabhizinisi abo,’’usho kanje. UMnuz Zikalala uveze ukuthi lolu hlelo olumqoka kangaka lokwesekwa kosomabhizinisi abasafufusa balusungula eminyakeni emithathu eyedlule. Uthe inhloso enkulu yabo kwakungukulula isandla ngenhloso yokunikezela ngosizo lwemali nolwezinsiza kusebenza kulabo somabhizinisi abasafufusa kodwa ababhekene nengwadla yokungazi ukuthi bazothathani bahlanganise nani ukuze amabhizinisi abo abe nenqubekela phambili. Eqhuba uMnuz Zikalala uthe lolu hlelo baluqhuba ngoba banethemba elikhulu abanalo ngabantu abasha baKwaZulu Natal namaphethelo. Ugcizelele ukuthi abasoze balilahla ithemba ngabantu abasha baKwaZulu Natal ikakhulukazi labo abanentshisekelo yokuba

ngosomabhizinisi abavelele ngokuhamba kwesikhathi. Echaza uthe: “Likhulu kakhulu ithemba esinalo ngabantu abasha baKwaZulu Natal. Yingakho nje singasoze salenza iphutha lokuthi sibayekelele. Siyohlale njalo siqinisekisa ukuthi siyabalekelela ukuze bezokwazi ukuthola

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

lokhu abakufisayo empilweni yabo.’’ UMnuz Zikalala uthe bakholwa ukuthi osomabhizinisi abancane baKwaZulu Natal yibona abamqoka kakhulu ekuqinisekiseni ukuthi uyadlondlobala umnotho wesiFundawe.


IKHASI 4

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

JULAYI 2021

Kuhlongozwa ukutakulwa osomabhizinisi abakhahlamezekile KwaDukuza MAGAYE CELE

waKwaDukuza ngenhloso yokutakula osomabhizinisi abancane bakule ndawo abakhahlanyezwe yizibhelu zakamuva ezibonakale zikhinyabeza amabhizinisi amaningi kakhulu ikakhulukazi KwaZulu Natal kanye naseGoli. Le nhlangano ithi kumqoka ukuthi kube

khona okwenziwa ngenhloso yokufukula osomabhizinisi abancane bakule ndawo. INHLANGANO yezamabhizinisi yaKNgokusho kwabo ukukhahlamezeka waDukuza enyakatho yeKwaZulu Natal, kosomabhizinisi abancane kuyinto iKwaDukuza Municipality Youth Business engagcina iba nomthelela ongemuhle nje Forum (KDMYBF) ithi izibophezele nhlobo ikakhulukazi kumnotho wakuleli ekutheni isebenzisane noMkhandlu dolobha. UMnuz Menzi Zulu onguSihlalo kule nhlangano uthe namanje basashaqekile kakhulu ngomonakalo abawubonile ezitolo zaKwaDukuza. Uthe ADJUSTED LOCKDOWN ALERT bazinikeze isikhathi bahambela idolobha lonke laKwaDukuza bazibonela ngawo ukuthi lukhulu usizo okufanele kulekelelwe ngalo osomabhizEZOKUVAKASHA: inisi abancane bakule ndawo. • Isisusiwe imikhawulo ohambweni lokungcebeleka ukuya Ugcizelele ukuthi nokubuya eGauteng. • Ukuhamba phakathi kwezifundazwe sekuvunyelwe. osomabhizinisi abancane bangumgogodla waKwaDukuza. • Ukuthengiswa kotshwala ezitolo ezibuthengisayo ku UTSHWALA: vumeleke ngoMsombuluko kuya kuLwesine, Wathi ngaleyo ndlela ngo-10 ekuseni kuya ku-6 ntambama. kumqoka ukuba

#LetsBuildSA

LEVEL 3 REGULATIONS

• Akuvumelekile ukuphuzwa kotshwala ezindaweni ezinelayisense ngemuva kuka-8 ebusuku. • Akuvumelekile ukuphuzwa kotshwala ezindaweni zomphakathi, kufaka phakathi amapaki namabhishi.

IMINGCWABO:

ISIKHATHI ESIBEKELWE UKUTHI UMUNTU ABE SEKHAYA:

IZINDLELA ZOKUZIPHEPHISA WENA KANYE NABANYE

IMIBUTHANO:

UHLELO LOKUGOMA:

balekelelwe uma kunesidingo sokuba kwenziwe kanjalo. Uthe umonakalo ngaphakathi edolobheni lakwaDukuza uze wakapakela nasezindaweni eziningi ezakhele le ndawo. Ubale lezi zindawo ezilandelayo I-Thethe, Melville kanye naseThembeni. “Sinethemba elikhulu lokuthi kukhona okuzokwenzeka ngenhloso yokulekelela osomabhizinisi bakuleli dolobha. Indlela okonakle ngayo iyethusa kakhulu,’’usho kanje. Uthe kulokoza inhlansi yethemba ngokuthi uMasipala wakwaDukuza nawo uzimisele ngokuphonsa isandla ukuze kuqinisekiswe ukuthi leli dolobha libuyela esimweni esijwayelekile ukuze nomnotho ungeke uze ukhinyabezeke kalula. “Okuyikhona okumqoka kakhulu ikakhulukazi ngalesi sikhathi ukuqinisekisa ukuthi umnonakalo uyanqandeka kakhulu ungagcini sewubonakala sewuphuma esandleni Ukulekelelwa kosomabhizinisi abancane kungadala ukuthi umnotho weDolobha usheshe ubonakale ubuyela esimweni okuyinto engikholwa ukuthi sonke siyibhekile ngamehlo abomvu,’’usho kanje.

UMeya nomhlangano nabamabhizinisi ngemuva kwezibhelu

• Njengayo yonke imibuthano, emingcwabeni nokushiswa kuvunyelwe abantu abangafika kwabangu-50 kuphela. • Umngcwabo ukalelwe isikhathi esingamahora amabili. • Ayivunyelwe imilindelo yasebusuku noma imibuthano yangemuva komngcwabo.

• Isikhathi esibekelwe ukuthi umuntu abe sekhaya siqala ngo-10 ebusuku kuya ku-4 ekuseni. • Ngaphandle kwabasebenzi abavunyelwe, akekho umuntu ovumeleke ukuthi abe ngaphandle kwendawo ahlala kuyona ngesikhathi sokuba sekhaya. • Izikhungo ezifana nezindawo zokudlela kumele zivalwe ngo-9 ebusuku.

MAGAYE CELE • Gqoka isifonyo esivala ikhala lakho nomlomo. • Gcina ibanga eliphephile ukusuka kwabanye. • Ziqhelelanise nezindawo ezivaliwe okanye ezigcwele ngokweqile. • Hlamba izandla zakho njalo ngensipho noma nge-sanitiser.

• Imibuthano ayinakudlula kubantu abangama-50% wobungako bendawo. Uma kuyindawo evalelekile kumele kube ngabantu abangeqi kwabangu-50 endlini, bangeqi kubantu abayi-100 endaweni evulelekile. • Imigomo yezempilo kufanele igcinwe emibuthanweni, kufaka phakathi ukugcina ibanga okungenani lingamamitha ayi-1.5 phakathi kwabantu

Ungabhalisa ngokuthi: • Usebenzise ukubhaliswa okuku-internet okutholakala kwi-website ye-SA Coronavirus. • Ungashaya u* 134 * 8324 kumakhalekhukhwini wakho ubhalise ngohlobo lwe-USSD. • Ungathumela igama elithi “register” kuWhatsApp kulenamba yocingo engu-0600 123 456. • Ungashayela ucingo isikhungo sikazwelonke mahhala ku-0800 029 999, lapho othile ezokusiza ukuthi ubhalise aphinde aphendule noma imiphi imibuzo mayelana nohlelo lokugoma.

#LetsBuildSA FIND US ON SOCIAL MEDIA MN: 124/2021

UMKHANDLU waseMandeni oholwa yiMeya uKhansela Thabani Mdlalose ube nomhlangano nabantu abasemabhizinisini ahlukene. Phakathi kwabo bekukhona nosomabhizinisi abasakhula. Inhloso enkulu yalo mhlangano bekuwukuveza ngokusobala izinselelo ezinzima ezibhekene nosomabhizinisi baseMandeni namaphethelo. Ezinye zezinselelo kubalwa nezibhelu zakamuva lapho obekushiswa khona izitolo kuphinde kutatshwe kuzona. Kubhungwe kabanzi ngomthelela ongemuhle walezi zibhelu. Okunye okubhungwe ngakho kulo mhlangano ukugqoza kwamathuba omsebenzi , yindlala ehlasele imindeni ehlwempu kanye nalokho okulindelwe kubantu abangosomabhizinisi. Njengoba osomabhizinisi kulindeleke ukuthi kube yibo abaqhamuka nesisombululo salezi zinkinga. Lo mhlangano ubonakale uthela izithelo ezinhle kakhulu. Osomabhizinisi bathembisile ukuthi bazoqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla ukubuyisa umnotho wakule ndawo. Imeya uKhansela Mdlalose unxuse ukuthi kubekhona ukusebenzisana ukuze izinto zizosheshe zibuyele esimweni. “Amabhizinisi akufanele abukwe ngelinye iso elingelihle. Kodwa kumele abantu bazibophezele ekuwafukuleni ukuze konke kuhamba kahle;”usho kanjena Uthembise ukuthi bazoqhubeka ngokusebenzisana nabezinhlaka ezahlukene amabhizinisi ukuze kukhunjuzwe abantu ngokubaluleka kokuba kuvikelwe amabhizinisi aseMandeni. IMeya izwakalise ukujabha okukhulu ngezibhelu zakamuva uthe zibalimaze kakhulu. “Maningi kakhulu amabhizinisi aseMandeni akhinyabezekile. Kuphazamiseke ngisho amabhizinisi amancane okuyinto embi kakhulu,kusho uKhansela uMdlalose. Ukuncomile ukuthi asekhona amanye amabhizinisi kule ndawo aseqalile ukusebenza.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


JULAYI 2021

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 5

Imizamo yokubuyisa umnotho UDkt NDZ nethemba lokuvuswa weTheku ngemuva kwezibhelu komnotho emuva kwezibhelu

UMEYA weTheku, uKhansela Mxolisi Kaunda okhuluma ngokubaluleka kokuba kubuyiswe umnotho weTheku. MAGAYE CELE UMKHANDLU weTheku uthembisa ukuthi uzosebenza ngokuphindiwe ngenhloso yokubuyisa umnotho okhinyabezwe yizibhelu zakamuva zokutapa ezitolo kanye nokungqongqiswa kwazo. Lesi sethembiso senziwe yiMeya yalo Mkhandlu, uKhansela Mxolisi Kaunda. Ubekade ekhuluma kabanzi ngomonakalo omkhulu athe udalekile ngaphakathi kuleli dolobha ngenxa yesimo esingesihle esibonakale senzeka muva nje. “ITheku lingelethu sonke ngakho kumqoka kakhulu ukuthi sonke sibonakale sisebenzisana ngenhloso yokwakha kabusha iTheku. Sekuqalile manje ukwakhiwa kabusha kweTheku ngemuva kwezibhelu zakamuva. Okuyikhona okumqoka kakhulu ukuthi nokufukulwa komnotho waleli dolobha nakho sekuqalile

engicabanga ukuthi yiyona nto emqoka ngaphezulu kwezinto zonke,’’usho kanje. Uthe ubethulela isigqoko bonke ababhekelele ezokuphepha ngaphansi koMkhahndlu weTheku athe babonakala besebenza ngokukhulu ukuzikhandla lokhu ngesikhathi abantu bevuka umbhejazane becekela phansi impahla kanye nezitolo. Phakathi kwabantu bezimo eziphuthumayo athe basebenze ngokukhulu ukuzikhandla okubalwa kubona abezicisha mlilo. Uthe kuyiqiniso elingephikwe ukuthi idolobha iTheku lizithole libhekene nesimo esinzima kakhulu emasontweni edlule. Uncome namaphoyisa nawo athe abonakale esebenza ngokukhulu ukuzikhandla eqinisekisa ukuthi awubi mkhulu kakhulu umonakalo wokucekelwa phansi kweDolobha iTheku. “Sibonga asiphezi kubona bonke ebebekhona ngesikhathi iDolobha iTheku libhekene nesimo esinzima kakhulu. Ukusebenza kwabo ngokuzikhandla sikubonile. Sengathi bangaqhubeka ngokuthi babe yizisebenzi eziqotho ezizinikele ekusebenzeleni uMkhandlu ngokuzikhandla kanjalo nangokwethembeka,’’usho kanje. Nokho uthe njengamanje okuyikhona okuseqhulwini kuwona wonke umuntu oseMkhandlwini weTheku ukusebenza ngokuphindiwe ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi uyabuya umnotho weDolobha. Ugcizelele ukuthi kuyinto emqoka kakhulu ukubona iTheku linomnotho ozinzile futhi obonakala usimama ngaso sonke isikhathi.“Masilwe nokucwasana ngokobuhlanga siphinde silwisane nazo zonke izinto ezingagcina sezidala uqhekeko phakathi kwethu sisodwa,’’usho kanje.

UDKT Nkosazana Dlamini Zuma ehambele eBulwer eyohlola umonakalo ezitolo. TSEPO MOTLOKOA UDKT Nkosazane Dlamini Zuma onguNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu kuzwelonke useqinise idolo izakhamuzi nosomabhizinisi besifundazwe ngokuthi mabangadikibali ngezibhelu zakamuva zokuzitapela ezitolo kodwa mabazi ukuthi emuva kwethunzi lobumnyama kukhona ukukhanya. UKhulume kanjena kade ephelezelwa wubuholi bukahulumeni wesifundazwe saKwaZulu-Natal eyohlola umonakalo owenzeke kade kucekelwa izitolo zaseBulwer nezaseDonny-brook ezingaphansi kweDr Nkosazane Dlamini Zuma Municipality (NDZ) okuwuMasipala

owaqanjwa ngenhloso yokuhlonipha yena njengoba naye engowokuzalwa eNkumba khona eBulwer. Ekhuluma nabezindaba ababeyingxenye yalolu hambo lwakhe uDkt Dlamini Zuma unxuse ukubambisana kuyona yonke iminxa ukuvuselela umnotho wesifundazwe nowezwe emuva kokubheduka kwalezi zibhelu eziwushiye udunguzela kwaze kwalahleka nemisebenzi eminingi ebiphilisa imindeni eminingi. Ukhale ngendlala eye yasala emakhaya amaningi akhele iBulwer njengoba zicekelwe zonke izitolo ebezikhona lapho abantu bebethenga khona. “Lo monakalo ushiye kukubi kakhulu ngoba kucekelwe ngomlilo izitolo lokho okudala ingcindezi enkulu ngoba kuyimanje kuyabhekwa ukuthi kuzokwenziwa njani ukudayiselwa kwabantu kulesi simo. Lokhu kushaye izinhlaka eziningi njengoba namatekisi abethuthela abantu kule ndawo elele emakhaya ngoba kakusekho muntu oza khona emuva kokucekelwa. Konke lokho kudale inkinga enkulu njengoba sekukhona abashayeli abalahlekelwe yimisebenzi yabo esiphelile ngoba kabasekho abantu abebegibela ematekisini beza ezitolo. Abantu ababesebenza kulezi zitolo bahleli emakhaya kuyimanje. Siyazama ukukhuluma neminye iminyango kahulumeni siyinxenxa ukungenelela ukuze kubonakale ukuthi akukho yini okwungenziwa ukubuyisela isimo kwesejwayelekile. Sikulungele ukubambisana neminyango kusukela kowezeziSebenzi, imiSebenzi yoMphakathi, oweziMali neminye ukubumba kabusha isizwe nokuphuthukisa uzinzo lwezomnotho,” usho kanje.

UMnyango uhlomulise abalimi

UMNUZ Sidumo Dlamini oseMnyangweni wezokuPhathwa komhlaba nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya odlulisele ngosizo lwezinsizakusebenza kwinhlangano yakwaMaphumulo. MAGAYE CELE UMNYANGO wezoLimo, ukuPhathwa koMhlaba kanye nokuThuthukiswa kweziNdawo zasemaKhaya esiFundazweni, iKwaZulu Natal, udlulisele izinsiza kusebenza ezimqoka kakhulu enhlanganweni yomphakathi yakwaMaphumulo, enyakatho yeKwaZulu Natal Inhlangano yaKwaMaphumulo okuy-

iyona ehlabane ngalolu sizo yiJikijela Ubumbano Secondary Co-op. Igixabezwe ngogandaganda abane bokulima, amaveni amabili amasha okuthutha izitshalo kanye namageja. Loyo oyiPhini likaNgqongqoshe kulo Mnyango, uMnuz Sdumo Dlamini nguyena odlulisele izinsiza kule nhlangano egxile kakhulu kwezoLimo. UMnuz Dlamini uyichome uphaphe lwegwalagwala le nhlangano ethi ukusebenza kwayo ngokuzikhandla yikhona kanye okugcine sekuheha iso loMnyango wezoLimo, ukuPhathwa koMhlaba kanye nokuThuthukiswa kweziNdawo zasemaKhaya KwaZulu Natal. Uthe kumthokozisile kakhulu ukubona indlela le nhlangano esebenza ngayo ngokuzikhandla zikhathi zonke. Uthe kungakuhle kakhulu uma nezinye izinhlango zezoLimo zingabonakala zisebenza ngokuzikhandla njengayo le nhlangano yaKwaMaphumulo. “Kuyinto enhle kakhulu ukubona inhlangano yenza konke okusemandleni ayo ukuqinisekisa ukuthi iba nenqubekela phambili kunokuthi ifadabale. Ngikholwa ukuthi kungasijabulisa kakhulu kulo Mnyango uma zingase zande izinhlangano ezisebenza ngokuzikhandla njengalena,’’usho kanjena uMnuz Dlamini. UMnuz Sibusio Shangase wenhlangano iJikijela Ubumbano uthe baswele

amaphiko okundiza kanye nemilomo eyizinkulungwane yokuzibongela. Uthe izinsiza abagixabezwe ngazo uMnyango weZolimo zizoklama indima enkulu kakhulu. “Angingabazi nje nakancane ukuthi lolu sizo esiluthole namhlanje kuMyango wezoLimo KwaZulu Natal luzothela izithelo ezinhle kakhulu. Futhi kuzodala ukuthi kube kukhulu ukusebenza ngokuzikhandla kubasebenzi bale nhlangano,’’usho kanje ebonakala nje ukuthi ugajwe yinjabulo. Uthe inhlangano yabo igxile kakhulu ekutshalweni kwemifino ehlukahlukene

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

ethengwa ezitolo ezinkulu ezikhona esiFundazweni, iKwaZulu Natal. UMnuz Shangase uveze ukuthi ihlangano uJikela uBumbano iqashe izisebenzi ezingu-400 okulalwa kudliwe emakubo nsuku zonke ngenxa yokuzinikela kwabo kwezoLimo.


IKHASI 6

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

JULAYI 2021

KWADUKUZA A PREFERRED DESTINATION FOR LIVING AND BUSINESS SEE OUR UNMATCHED RATES, EXEMPTIONS, REBATES AND REDUCTIONS FOR 2021/2022:

KWADUKUZA INDAWO EKHETHWAYO YOKUHLALA NOKUHWEBA

Bona amanani ethu angenakuqhathaniswa okubalwa ukuxolelwa, izaphulelo nokubuyiselwa imali kuka 2021/2022.

AMANANI ETHU Amasenti angu-0,824 erandini ngenani lemakethe maqondana nezindawo zokuhlala (kufaka phakathi indawo yokulala neyasekuseni enamakamelo OUR RATESnoma ngaphansi), kanye nezigaba zezakhiwo ezingashiwongo ngezansi. Amasenti angu-0.9033 erandini ngenani lemakethe okulala amathathu maqondana nezindawo zokuhlala ezisetshenziselwa ukuhweba (kufaka phakathi izindawo zokulala nezokudla kwasekuseni ezinamakamelo okulala 0.824 cents inkwamathathu, the Rand on the amafulethi, market value izindawo in respect of residentialnezindlu propertieszezivakashi (including bed and breakfast establishments angaphezu zokuhlala, ezinamakamelo ayisithupha).consisting of three bedrooms or less), and property categories not stated hereunder. 0.9033 cents in the Rand on the market value in respect of residential properties used for commercial purposes (including bed and breakfast establishments comprisingngenani more than 3 bedrooms, apartment and villa establishments, guesthouses of up to six rooms). Amasenti angu-0,207 erandini lemakethe maqondana nezakhiwo zezolimo, and izakhiwo zengqalasizinda yomphakathi kanye nezinhlangano ezisiza umphakathi. Amasenti angu-2,549 erandini ngenani lemakethe maqondana nezakhiwo zezimboni, zebhizinisi, nezentengiselwano, izakhiwo 0.207 cents in the Rand on theeziphethwe market value zihlaka in respect of agricultural futhi properties, public service infrastructure properties andnezakhiwo public benefi t organisations. 2.549 cents in the ezingenamuntu, izakhiwo zikahulumeni ezisetshenziselwa izidingo zomphakathi, ezisetshenziselwa ukukhonza. Rand on the market value in respect of industrial, business, and commercial properties, vacant properties, properties owned by an organ of state and used for public service Amasentiand angu-2.307 ngenani lemakethe maqondana nezindlu zezivakashi ezingaphezu kwamakamelo ayisithupha. Amasenti amahlanu purposes, properties erandini used for worship. erandini maqondana nentuthuko noma ukusetshenziswa okungagunyaziwe noma okungekho emthethweni noma impahla enganakiwe noma isakhiwo. 2.307 cents in the Rand on the market value in respect of guesthouses of more than 6 rooms. 5 cents in the Rand in respect of the unauthorised or illegal development or use Amasenti angu-0.32 ngenani lemakethe maqondana nezakhiwo zezentengiselwano ezingaphakathi kwendawo enamanani akhethekile and abandoned propertyerandini or building. An additional 0.32 cents in the Rand on the market value in respect of commercial properties situated within the Special Rating Area as njengokukhethwe uMkhandlu. Mayelana nezakhiwo zokuhlala ezithuthukisiwe, ngaphezu kokuncishiswa ngokomthetho kuka-R15 000, kuzophinde designated by Council kuncishiswe ngama-R85 000 amanani ezakhiwo ezingaphezu kuka-R130 000. Abantu abanezakhiwo ezithuthukisiwe ezinenani elilinganiselwa ku-R130 000 nangaphansi ngeke bathwale icala ngokukhokhwa kwama-rates. In respect of improved residential properties, in addition to the statutory reduction of R15 000, a further reduction of R85 000 is approved for property values exceeding R130 000. Persons owning improved residential property with a rateable value of R130 000 and below will not be liable for the payment of rates. Leyo ndawo yokuhlala ethuthukisiwe enenani elingabiza inani elingu-R130 000 nangaphansi, abanikazi bazo okungabantu abahlwempu ababhalisiwe ayikhokhelwa ekubalweni kwamarates. Imali engango-R50 000 wokuqala wazo zonke izindawo zokuhlala ezingenamuntu ezingaphansi kwabantu abadla That improved residential property with a rateable value of R130 000 and below, owned by registered indigent beneficiaries be exempt from the calculation of rates. That the imbuya ngothi ngeke ibalwe kumarates. Ama-30% okuqala kuwo wonke ama-Infrafirst R50 000 of all vacant residential properties owned by registered indigent beneficiaries be exempt from the calculation of rates. The first 30% of all Public Service Infra-

INKUTHAZO YABATHUTHUKISI BETHU OUR DEVELOPERS’ INCENTIVES COMMERCIAL DEVELOPERS’ INCENTIVES:

INKUTHAZO YABATHUTHUKISI BEZINDAWO ZOKUHLALA RESIDENTIAL DEVELOPERS’ INCENTIVES (kusebenza kuphelaof maqondana nezivumelwano zamazinga esevisi akhona) (applicable only in respect existing service level agreements)

INKUTHAZO YABATHUTHUKISI BEZINDAWO ZOHWEBO Ubuyiselwa imali engama- 100% 100% rebate - Year 1 emva konyaka owodwa

Ubuyiselwa imali engama- 100% 100% rebate - Year 1 emva konyaka owodwa

Ubuyiselwa imali engama- 90% 90% rebate - Year 2 emva kweminyaka emibili

ubuyiselwa imali engama100% rebate - Year 2100% emva kweminyaka emibili

Ubuyiselwa imali engama-80% 80% rebate - Year 3 emva kweminyaka emithathu

ubuyiselwa imali engama- 90% 90% rebate - Year 3 emva kweminyaka emithathu

Ubuyiselwa imali-engama-70% 70% rebate Year 4 emva kweminyaka emini

ubuyiselwa imali engama80% rebate - Year 4 80% emva kweminyaka emine

Ubuyiselwa imali- engama60% rebate Year 5 60% emva kweminyaka emihlanu

Ubuyiselwa imali engama- 70% 70% rebate - Year 5 emva kweminyaka emihlanu

No Incentive - From year 6 onwards. Ayikho inkuthazo- Kusukela ngonyaka wesithupha Please note general rebate not applicable kuya phezulu. Sicela wazi ukuthi isaphulelo esivamile asisebenzi kubatshalizimali to commercial developers. Please bezimboni. note Sicela uqaphele ukuthi isaphulelo jikelele general rebate not applicable. asisebenzi.

Ubuyiselwa imali -engama60% rebate Year 6 60% emva kweminyaka eyisithupha Ubuyiselwa imali engama50%50% emvarebate kweminyaka - Year 7 eyisikhombisa

Ayikho inkuthazo -Kusukela No Incentive - From year eminyakeni 8 onwards eyisishiyagalombili kuya phezulu.

Ukuxolelwa, izaphulelo nokwehliswa kwentengo OUR EXEMPTIONS, REBATES AND REDUCTIONS Isaphulelo esijwayelekile maqondana nayo yonke imikhakha yezakhiwo, ngaphandle kwezakhiwo ezithola izaphulelo zabathuthukisi A general rebate in respect of all categories of properties, excluding properties in receipt of developers’ rebates and unauthorised or illegal development or use and Abannentuthuko engagunyaziwe noma engekho emthethweni noma ukusetshenziswa kwamabhilidi anganakiwe ingu-25%. doned Property Building: 25%

Okulandelayo kuzosebenza ngemuva kokubanjwa kwesaphulelo jikelele: The following shall apply after deduction of the general rebate:

IZAPHULELO KULABO ABAHOLA IMPESHENI YOKUGUGA NEYOKUKHUBAZEKA: PENSIONERS AND DISABILITY GRANTEES REBATES:

Abafakizicelo abangaphansi kweminyaka engama-65 - 25% | Izicelo eziphakathi kweminyaka engama-65 nengama-75 - 30% | Applicants underabangaphezu 65 years - 25% | Applicants between 65 & 75 years- 35% - 30% | Applicants older than 75 years - 35% Abafakizicelo kweminyaka engama-75 AGRICULTURAL PROPERTIES - 50% | CHILD HEADED HOUSEHOLDS - 100% | EXCLUDED SERVICES REBATE: ESINGAFAKIWE: (APPLICABLE ONLY (ISEBENZA IN RESPECT OF EXISTING IZAKHIWO ZEZOLIMO - 50% | IMIZI ENGANYELWE IZINGANE - 100% | ISAPHULELO SESEVISI KUPHELA SERVICE LEVEL AGREEMENTS) - 15% | PLACES OF WORSHIP - 100% | PUBLIC BENEFIT ORGANIZATIONS - 100% | LAND- 100% REFORM BENEFICIARIES - 100% | MAQONDANA NESIZIVUMELWANO ESIKHONA SOKUSEBENZA) - 15% | IZINDAWO ZOKUKHONZELA | IZINHLANGANO ZOKUSIZA UMPHAKATHI - 100% | ABAHLOMULA NGOKUBUYISWA KOMHLABA - 100% |UMHLABA WOMBUSO: 100%. STATE LAND: 100%

#LetsBuildSA

FIND US ON SOCIAL MEDIA MN: 123/2021

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


JULAYI 2021

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 7

UMsunduzi namaloli amasha ophiko lwezenhlanzeko nemfucuza TSEPO MOTLOKOA

UMNU Mzimkhulu Thebolla iMeya yaseMsunduzi ebonga uhlelo lokuthengwa kwamaloli.

UBlade ukhalele imisebenzi yabangu-2500 elahleke ezitolo zaseMgungundlovu

Blade Nzimande nethimba lakhe behlola umonakalo e-Greater Edendale Mall eMgungundlovu. TSEPO MOTLOKOA UNGQONGQOSHE woMnyango weMfundo ePhakeme nezokuQeqesha uDkt Blade Nzimande ukhale ngemisebenzi engu-2500 elahleke eMgungundlovu kubantu abebesebenza ezinxanxatheleni zezitolo ezintathu ezingqongqisiwe kade kutatshwa izitolo emavikini edlule. UDkt Nzimade ubevakashele i-Greater Edendale eyohlola umonakalo wezitolo ezikulendawo ezingqongqiswe ngomlilo kade kutapwa ukudla emuva kokuboshwa kwalowo owayengumengameli waseNingizimu Afrika uMnu Jacob Zuma. Idolobha laseMgungundlovu lingelinye kwakhahlamezekile kakhulu ngalezi zibhelu zakamuva njengoba kungqongqiswe i-Greater Edendale Mall, iKwaMabulala Shopping Centre, iBrookside Mall, iChina Mall nezinye izitolo ezisedolobheni nama-warehouse. Ekhombisa ukudumala ngokwenzekile emphakathini wangakubo KwaDambuza

nangokubamba iqhaza ewutshela ukuthi lokhu kokucekelwa kwezitolo eziphambi kwawo kuyamdumaza ngoba kakusukanga abantu bakwenziye izindawo kodwa kube ngabantu bendawo ababambe iqhaza bazitapela ezitolo ebeziwusizo emphakathini. “Bengikhuluma nenye yezimenenja zalezi zitolo ezingqongqisiwe njengoba ingitshele ukuthi nayo ikhathazekile ngabantu abakhulile abebehola imali yesibonelelo sikahulumeni esitolo sayo. Ngizwile ukuthi izalukazi namakhehla bezithi uma zisalinde ukuholelwa ziphunge itiye ngesihle ebezilenzelwa yizimenenja zalezi zitolo zibonga uxhaso kubantu abaseduzane. Bantu baKwaDambuza phumani ezimpini ezinganidingi musani ukuvumela ukusetshenziswa ngabantu abathize ukulwa nohulumeni. Lokhu okwenzekile kakufani nani yingakho nginikhuza nje ngoba ngiyanazi,” kukhuza uDkt Nzimande. Ukhuze umphakathi wangakubo KwaDambuza eMgungundlovu ukuba uphume uphele ezimpini zezepolitiki ngoba lokho kugcina kungcolisa igama lendawo yangakubo ize ingene ehlazweni imbala. “Lapha kasikhulumi ngeminye imisebenzi yabantu abadayisa eceleni kwalezi zitolo ezicekeliwe sisakhuluma ngabantu abebeqashwe ngokugcwele okunamhlanje sebebalwa nabangasebenzi. Lezi zitolo ezakhele i-Edendale bezibambe iqhaza elikhulu ngoba zivule imisebenzi eminye lapho abantu abebephuma emakhaya bazondlala amatafula abo bedayisa imikhiqizo yabo. Sekungumlando namhlanje njengoba sebequve emakhaya. Siyathemba ukuthi uhulumeni wethu uzokwenza izinhlelo ukubuyisela isimo esimweni saso nempilo yabantu iqhubeke,” kusho yena.

UMASIPALA waseMsunduzi uphucule ezenhlanzeko ngokuthenga amaloli amasha ceke achazwe njengazolekelela akhona ekuthuthweni kwemfucuza ukuze leli dolobha lihlale lihlanzekile lingaphoxwa yimfucuza ekoplastiki abamnyama engaqoqiwe. Kulamaloli kukhona amathathu azobhekela inhlanzeko yasemapaki kanjalo namabili azobe ehambisa imfucuza eLandfil Site ekuNew England Road phakathi edolobheni eMgungundlovu. Lokhu kuchazwe njengenye yezindlela zokwenza abantu abakhele leli dolobha kumbe abathenga kulona baziqhenye ngedolobha abalihambelayo. Ekhuluma lapha uMnu Mzi Thebolla oyimeya kuMasipala waseMsunduzi uthe ukholwa ukuthi lesi yisiqalo esihle esizoqopha umlando ephikweni lwenhlanzeko kulo masipala. Uthe uyathemba ukuthi izingqinamba ezibhekene nophiko lwenhlanzeko

nokuthuthwa kwendle zizophunguka ngenxa yokuthengwa kwalamaloli. “Kulo nyaka wezimali sizogxila kakhulu ekubhekeni ezenhlanzeko. Lokhu okwenzeka namhlanje kungukuqinisekisa lokho esizibophezele kukhona. Njengoba siqala unyaka wezimali sinethemba lokuthi kuzoletha ushintsho ophikweni lwezokuthuthwa kwemfucuza kanjalo nokusebenza kweLandfil Site kuzophuculeka. Siyaziwa ukuthi siyidolobha elinyakaza kunyakazeke,” usho kanje. Nyakenye abeDuzi bahlanganyela nabezamapaki eMsunduzi kwahlanzwa usebe lomfula uMsunduzi ngaseCamps Drifts ngaphansi kohlelo lokunakekela imvelo. AbeDuct bathi ngenxa yokuthi bawuphiko lwezemvelo babona kukuhle ukuba baphonse itshe esivivaneni bahlanganyele nabahlanza leli dolobha ukuze lihlale lihlobile futhi likhanga kwabalihambelayo. Bathi bayafisa ukulibona liheha abantu ikakhulukazi abatshalizimali ukuze kuvuleke namathuba omsebenzi.

OwaseSheshi nomnikelo kubazalwane ngeMandela Day

LENA yimoto ebigcwele phama ukudla okunikelelwe abazalwane baseSheshi eSweetwaters TSEPO MOTLOKOA UMFUNDISI wamaSheshi aseSt Raphael’s Parish eSweetwaters eMgungundlovu ubungaze iMandela Day okuwusuku lokuzalwa kowaba ngumengameli wokuqala owakhethwa ngentando yeningi eNingiizmu Afrika uDkt Nelson Mandela ngokuhlonipha izalukazi namakhehla ngokubatholela ukudla ukuxosha ikati eziko njengoba kuye kwaphazamiseka uhlelo lokuhola kwabo impesheni kade kubheduka izibhelu ezicekele phansi izitolo eziningi. UMfu Sibiya ukhithame kubangani wabhe wacela umnikelo okungaba semandleni abo ukuze elule isandla kubazalwane abelusile abaswele. Uthe kusemizweni yakhe ukuqinisekisa inhlalakahle kubantu asondelene nabo. Uthe usuku lokuhlonipha uDkt Mandela lufike ngesikhathi esimbi isifundazwe iKwaZulu-Natal kade ihlaselwe izibhelu zokuzitapela ezitolo nokucekelwa ngomilo kwama-warehouse. “Owanonyaka umnikelo uye wabhekiswa kakhulu ezalukazini ezizithole zibhekana nendlala ngenxa yokuhlehliswa kwezinsuku

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

zokuholelwa kwazo imali yempesheni. Sibone kukuhle ukuba siphuthume zona ukuze zingabanjwa yindlala emakhaya njengoba ezinye zinezifo ezingamahlalakhona eziphila ngamaphilisi. Sonke siyazi ukuthi kawukwazi ukuphuza amaphilisi ungadlile. Sibe sesihlonza imindeni engu-30 okuyiyona ehlomulile kulezi zijumbana zokudla ebesizihlelile,” usho kanje. Eqhubeka uMfu Sibiya uthe kuyingxenye yobizo lwakhe ukulekelela abantu njengoba enomkhankaso wokunikela kubazalwane bepherishi ayibhekile ngembewu ukuze babe nezivande emakhaya ngenhloso yokuxosha indlala. Uthe kuyisifiso sakhe sokuba bonke abazalwane abelusile bangabhuqwabhuqwa yindlala nemindeni yabo kodwa benamagceke amakhulu emakhaya njengoba iphersihi ayibhekile isemakhaya ngaphansi kwesizwe saKwaMpumuza esiholwa yiNkosi Nsikayezwe Zondi. UMnu Ndumiso Makhaye oyigosa laseSt Raphael ubonge umphriste wabo uMfu Sibiya ngokuba ngumalusi onakekela izimvu zakhe ezikhathini ezinzima. “Lo mnikelo owenziwe ebandleni uqhamuke ngesikhathi imizi eminingi ikakhulukazi ebhekwe ngabantu abadala abahola impesheni besele dengwane njengoba kushiswe izitolo abahola kuzona impesheni yabo kwadaleka indlala emakhaya. Sibonga iminyango lapho umfundisi wethu aye wangqongqoza khona wavulelwa. Lapha kubuye kwahlomula nekhaya lezintandane elisendaweni iThabitha Orphans Home elibheke ukuphila ngokunikelelwa. Sihambise ukudla okuningi khona kuhlanganisa izinkwa ukuze ziphila izingane ezihlala khona,” kusho yena.


IKHASI 8

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

JULAYI 2021

Sivubela Intuthuko

EZEMIDLALO

Uqophe umlando uMosimane enqoba inkanyezi yesithathu MAGAYE CELE UQOPHE umlando umqeqeshi waseNingizimu Afrika, uPitso “Jingles” Mosimane ngokuba ngumlolongi wokuqala ngqa emlandweni webhola likanobhutshuzwayo lakuleli ukuba anqobe inkanyezi yesithathu yeCaf Champions league. Lokhu uMosimane ongumlolongi wezingqungqulu zaseGibhithe, i-Al Ahly ukwenze ngokuthi anqobe iKaizer Chiefs emdlalweni wamanqamu alo mqhudelwano othathwa njengomkhulu kunayo yonke ekhona ezwenikazi i-Afrika. UMosimane unqobe ngamagoli amathathu eqandeni. Kuzokhumbuleka phela ukuthi uPitso inkanyezi yakhe yokuqala wayizuza ngonyaka ka-2016 ngesikhathi esalolonga iMamelodi Sundowns ngaloyo nyaka eyayikade ibophele abadlali ababeyizibabuli okubalwa phakathi kwabo uKhama Billiat osekwiChiefs,Kigan Dolly osegijima phesheya kwezilwandle kanye noBongani “Ben 10” Zungu naye osedlala phesheya kwezilwandle.

UPITSO MOSIMANE oqophe umlando ngokuba umqeqeshi wokuqala ngqa waseNingizimu Afrika ukuba anqobe izinkanyezi ezintathu. Inkanyezi yesibili uyizuze ngonyaka owedlule ngesikhathi kowamanqamu alo mqhudelwano ezakhe i-Al Ahly zicoboshisa iZamalek yakhona eGibhithe ngo-2-1. Ukunqoba kwakhe kwakamuva ehlula

Ubuyela eringini umshayisibhakela weqophelo eliphezulu

MAGAYE CELE UBUYELA eringini ngoSeptember umshayisibhakela waseNingizimu Afrika onedumela elikhulu, uZolani ‘Last Born’ Tete. kuzokhumbuleka ukuthi bese kunesikhathi leli bhokisa elishaya isibhakela esinenkosi phakathi lagcina ukubonakala eringini. UTete wagcina ukubonakala eringini ngesikhathi ephucwa ibhande leWBO engqinyuzwa kabuhlungu nguJohnriel Casimero ongowasePhillipine empini eyayiseqophelweni eliphezulu eyayikade iqhubeka e-United Kingdom (UK). Le mpi yayikade ingo-2019. Izindaba zokubuyela kwale ngqwele eringini ekuqaleni kukaSeptember ziqinisekiswe yiMenenja yakhe uMlamuleli Tengimfene. Le Menenja idalule ukuthi basanda kuphothula izingxoxo ezibe nezithelo ezinhle noRodney

Berma weGolden Gloves Promotions mayelana nokuqhatha uTete. Uthe ebebesakubhunga okwamanje ukuthi lo mshayisibhakela alwele ibhande elincane ngokuhamba kwesikhathi abuyele alwele amakhulu nahlonishwayo emhlabeni jikelele. “Okwamanje okuyikhona okumqoka kakhulu ukuthi siqinisekise ukuthi uTete uyabuyela eringini. Kuyajabulisa kakhulu ke ukuzwa ukuthi konke kuhamba kahle. Nakanjani ngoSeptember abalandeli bakhe bazombona eringini. Ngiyazi ukuthi bese sisikhulu isikhalo kubalandeli bakhe bebalisa kakhulu ngokungalwi kukaTete,’’kuchaza uTengimfene. Udalule nokuthi uTete usezokulwa ngaphansi kwesisindo seJunior featherwighs. UTete ungomunye wabashayisibhakela beqophelo eliphezulu abakhona nabahlonishwayo eNingizimu Afrika yonke. Uke waba yingqwele yebhande le-IBF junior bantamweight. Isisindo asehlele kusona uTete kuyavela ukuthi sivele sinomlando omuhle kakhulu kumabhokisa amaningi aziwayo ase-Eastern Cape. Phakathi kwamabhokisa ase-Eastern Cape akwazi ukuthi enze ezibukwayo ngesikhathi engaphansi kwalesi sindo kubalwa ibhokisa uWelcome Ncita kanye noVuyani Bhungu. Bobabili ngesikhathi bengaphansi kwalesi sindo bakwazi ukuthi babe yizingqwele zebhande elihlonshwayo i-International Boxing Federation (IBF).

iKaizer Chiefs kumfake emabhukwini omlando njengoba sekunguyena yedwa nje phaqa umlolongi waseNingizimu Aftrika osekwazile ukuthi anqobe izicoco zeCaf Champions league lokho futhi

ekwenza namaqembu ehlukene. UMengameli we-Al Ahly, uzishaya isifuba ngokunikeza uMosimane ingqayizivele yethuba lokuba ake azololonga leli qembu ngaphambilini elahlonzwa njengeqembu lekhulunyaka phecelezi Club of the Century. “Ngesikhathi ngimqasha uMosimane ngangivele ngimethemba kakhulu. Ngangibona ukuthi uma ngimnikeza leli thuba kukhulu kakhulu azokwenzela leli qembu elikhulu kunawo wonke ezwenikazi i-Afrika. Okungijabulisayo kakhulu ukuthi nangempela akazange aphoxe njengoba enze isiqiniseko sokuthi iqembu liyazinqoba izicoco ngaphansi kobuholi bakhe okuyinto engijabulisayo kakhulu,’’usho kanje uSihlalo we-Al Ahly. UMosimane akathuki isisinga ekulolongeni njengoba ngaphambilini eke waba ngumlolongi weBafana Bafana waphinda waba yiNhloko yabaqeqeshi beSuper Sports United nayo akwazi ukuthi ayinqobele izicoco.

Uqokelwe ezikhundleni ezimbili

UZANDILE Malinga weStarline Promotions oseqokelwe ezikhundleni ezimbili okumele azengamele MAGAYE CELE USEQOKELWE ezikhundleni ezimbili ezibalulekile kakhulu owesifazane osezakhele igama elikhulu kwezamankomane esiFundazweni, iKwaZulu Natal kanjalo naseNingizimu Afrika yonkana. Loyo nguPhromotha onguSihlalo wenkampani yabashayisibhakela iStarline Boxing Promotions, uNkk Zandile Malinga. Ugixabezwe ngesikhundla sokuba nguSihlalo woPhromotha kososeshini. Waphinda futhi wagixabezwa ngesikhundla sokuthi abe nguSihlalo weKZN Proffessional Boxing Federation. UMalinga ukuqokwa kwakhe kulezi zikhundla zombili ukuchaze njengento emehle ngaphe-

zulu engalindele. Uthe uyayemukela inselelo enzima anikezwa yona. UMalinga ubonge ukwethenjwa yilabo abamnikeze lezi zikhundla. Echaza uthe: “Kuyangijabulisa kakhulu ukwethenjwa okungaka okukhonjiswa ngabantu kimina. Ngiyathembisa ukuthi ngizokwenza konke okusemandleni ami ngenhloso yokusebenza ngokuphindiwe.” UMalinga uvele usenegama elikhulu kwezamankomane ngenxa yokuvelela kwenkampani yakhe yamaBhokisa iStarline. Le nkampani yakhe seyikhiqize inqwaba yabasahayi sibhakela abaziwayo iningi labo lidume ngokushaya isibhakela esiqhwiza umentshisi. UMalinga ubekade evele ekhona ebuholini bale nhlangano ngaphambilini ebikade iholwa yiloyo ongasekho emhlabeni, uThulani ‘’Nkunzi’’ Magudulela obekade enguMengameli wenkampani iLudonga Promotions. Kulezi zikhundla uMalinga uqokwe nabanye abathenjwayo azosebenzisana nabo. UMnuz Eric Khoza ophinde abe yiJaji uqokelwe kwesokuba yisekela likaMalinga kule nhlangano. Kwathi uNomvelo Magcaba-Shezi yena waqokelwa kwesokuthi abe nguNobhala jikelele wale nhlangano. UThulani Gumede yena waqokelwa kwesokuthi abe nguMgcinimafa, kwathi uZwilenkosi Magudulela waqokwa njengozoba nguMxhumanisi wale nhlangano nomphakathi. USizwe Mthembu yena kuhlalukile ukuthi uzoqhubeka nomsebenzi abekade evele ewenza ngaphambilini wokuqeqesha amabhokisa aseThekwini.

031 828 0433 / 082 597 6669

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.