Sivubela Intuthuko newspaper

Page 1

SIVUBELA Intuthuko

ADVERTISING: (031) 8222 602

FACEBOOK: SIVUBELA INTUTHUKO

AGASTI/SEPTHEMBA 2020

SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

LIMAHHALA USHICILELO 51

Sesivulwe ngokusemthethweni isibhedlela sabahaqwe iCorona udaba ekhasini 3.

uTransnet uxhase ngokudla kwinqolobane yase Mhlathuze

iKhasi 5

Igcwale umgwaqo imbokodo ikhala ngokuhlukunyezwa

iKhasi 2

Kungesikhathi kuvulwa ngokusemthethweni iGeneral Justice Gizenga Mpanza Hospital KwaDukuza.

“We are proud to announce that Hyundai Port Shepstone has been awarded the Dealer of the Year 2019”

Owezinkanyezi ukhuthaza ababhali ngokuqonda ulwimi lwabo lwebele

iKhasi 5

Halfway Hyundai Port Shepstone

1 Mbango Commercial Centre, Main Harding Road, Port Shepstone PO Box 1620, Port Shepstone, 4240

Injabulo izinyoni zindizela phezulu

iKhasi 8

T 039 312 0222

HYPERLINK “mailto:sicelo@halfwayhyundaips.co.za” \t “_blank” sicelo@halfwayhyundaips.co.za HYPERLINK “http://www.halfwayhyundaiportshepstone.co.za/” \t “_blank” www.halfwayhyundaiportshepstone.co.za T’s & C’s Apply.

T’s & C’s Apply.

T’s & C’s Apply.


IKHASI 2

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

AGASTI/SEPTHEMBA 2020

Kunconywe ama-gay nama lesbian ngokuthanda impilo

USIBUSISO Makhathini we-Orama Pop Inn Health Clinic nesinye isisebenzi bekhombisa ngezinye zezinsiza kusebenza zabo. TSEPO MOLEFE INHLABAMKHOSI yabangama-gay nama-lesbian KwaZulu-Natal yokuqinisa ekusebenziseni imishanguzo yokuthithibalisa igciwane lesandulela ngculazi ne-pre-exposure prophylaxis (PrEP) ukuzigcina bephilile njengoba izwe lisagubuzelwe wubhubhane lwecoronavirus edala iCOVID-19.

Bacelwe nangokuqikelela ukuthi ngaphambi kokuzimbandakanya nocansi othandweni lwabo mabasazi isimo sempilo yabo ngokuthi bahambele izikhungo zezempilo bahlolwe ukuthi kabanazo yini izifo kungaba ngezithathelana ngokocansi nesandulela ngculazi. USibusiso Makhathini ongumqondisi we-Oram Pop Inn Health Clinic

eMgungundlovu uthi uthando analo ngokubona abantu bephilile lumenze wasungula isikhungo esigxile kakhulu kwabathandana nobulili obufanayo esesiphenduke ikhaya labo njengoba ethi bathutheleka ngobuningi babo kusona bezohlolelwa izifo ezinhlobonhlobo emizimbeni yabo. USibusiso ekhuluma ngesikhungo sabo esinezizinda ezimbili esiseMgungundlovu naseThekwini uthe sesiphenduke umpheme wama-gay nama-lesbian kulezi zifunda ezinkulu KwaZulu-Natal. “Siyi-NGO kodwa umsebenzi esiwenzayo uyasimangalisa nathi ngoba sasingalindele ukuthi singaba nomthamo omkhulu kangaka wabantu abahambela isikhungo sethu. Abantu abeza kakhulu esikhungweni sethu ngabathandana nobulili obufanayo. Size saphoqeleka ukuba masibe nezigcawu lapho befundiswa khona ngezindlela zokwenza ucansi oluphephile ikakhulukazi owesilisa uma elwenza nomunye wesilisa. Okuyikhona esikuqikelela kakhulu ngukuthi umuntu kumele asazi isimo sakhe sempilo ngaphambi kokuba sebudlelwaneni bezothando,” usho kanje. Eqhubeka uSibusiso uhlabe abantu

abangayilandi imishanguzo yabo yokuthithibalisa igciwane lesandulela ngculazi selokhu kwamiswa ukusebenza kwezwe abaye babone ujenge lwabantu abeze emitholampilo bese beyajika bebuyela emakhaya. “Sithole ukuthi laba abangayilandi imishanguzo yabo bathi basaba ukutheleleka nge-corona njengoba kuthiwa itholwa kalula ngabanezifo ezingamahlala khona. Siyakugxeka ukungasetshenziswa kwama-ARV ngalesi sikhathi ngoba kucindezela umnyango wezempilo uma umuntu esegula,” ubeke kanje. USibusiso ukhale ngokubheduka kweCOVID-19 ethi ibathikamezile abantu abaningi ikakhulukazi abaphila ngemishanguzo yamahlalakhona iningi labo elizisebenzayo. “Sisiza kakhulu abantu abazizamelayo njengoba iningi labo ngelinama-salon. Ukuvalwa kwezwe neminye imisebenzi kuphazamise abantu ngoba bazithole benengcindezi yokulanda imishanguzo yabo beyoyifaka eziswini ezingenalutho. Siyajabula ngokuxegiswa kweminye imibandela yeCOVID-19 ukuthi abantu sebezobuyela kancane empilweni yabo ejwayelekile,” uphethe kanje.

Igcwale umgwaqo imbokodo ikhala ngokuhlukunyezwa

ABESIFAZANE baKwaMaphumulo ngesikhathi bemasha bekhononda ngokuhlukunyezwa kwabo MAGAYE CELE ABESIFAZANE bezigaba ezahlukene bakwaMaphumulo, oGwini olusenyakatho yesiFundazwe, iKwaZulu Natal bangene emgwaqeni bamasha bekhononda ngesihlava esibonakala sisabalala ezindaweni ezahlukene sokuhlukunyezwa

kwabantu besifazane kanye nezingane ezincane. Le mashi ibisuka eThusong Song yaze yaphelela eNkantolo eNkulu yakhona KwaMaphumulo. Bonke abesifazane ebebeyingxenye yale mashi bebekade bedlubhe izingubo ezimnyama. Iningi labo belikade liphethe izingqwembe ezinemib-

halo eyehlukene kodwa yonke beyikhala ngokuhlukunyezwa kwabantu besifazane kanye nabantwana abancane. Bonke bebesho ngazwilinye bevumelana ngelithi Sekwanele. Ezinye izingqwembe bezibhalwe ukuthi abukho ubulungiswa ekunikezweni kwebheyili kunoma yimuphi umsolwa osebandakanyeka ihlandla lesibili ecaleni elifanayo lokuhlukumeza umuntu wesifazane. Ezinye bezibhalwe ukuthi mawasheshe aphothulwe wonke amacala aseziNkantolo abandakanya ukudlwengulwa kwabantu besifazane. Isigungu esimele abantu besifazane ezingeni loHulumeni basemaKhaya phecelezi SALGA Women Commission ngokubambisana nemiNyango kaHulumeni bebephambili behola le mashi. Le mashi ebinkulu kakhulu beyesekwe ngabantu besifazane abavela ezindaweni ezahlukene zesiFunda, iLembe. Abesifazane abakwipolitiki kwizinhlaka ezahlukene nabo bebekhona ukuzokwesekwa le mashi. Imbokodo yaKwaMaphumulo isukuma kufanele kwazise kuzokhumbuleka ukuthi udlame olubhekiswe kwabesifazane kanye nabantwana abancane luchazwa njengokuphulwa kwelungelo lomgilwa.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Ngokocwaningo kuyavela ukuthi umuntu oyedwa kwabathathu wesifazane uye athole ukuhlukunyezwa ngokocansi. Uhlu lwezikhalazo ebebenazo ludluliselwe kwiNkantolo eNkulu yaKwaMaphumulo kanjalo nasesiteshini samaPhoyisa akwaMaphumulo. Zidlululiswa yiloyo oyiMeya yoMkhandlu waKwaMaphumulo, uKhansela Zibuyisile KhuzwayoDlamini ehambisana naloyo onguSihlalo wakwaSalga, uNkk Betty Luthuli. UMeya uKhuzwayo uthe ebebekuhlose kakhulu ngale mashi bekungukuhlaba ikhwelo balibhekise nje ngqo kokhandalimthselokwakhe abacabanga ukuhlukumeza abantu besifazane. Nokho uthe izinga lokuhlukunyezwa kwezingane nabantu besifazane alikho phezulu ngokungako KwaMaphumulo. Uthe: “Le mashi besifuna kuzwakale ukuthi sibakhathalele abantu besifazane futhi babalulekile. Kodwa ke noma kunjalo kumqoka kakhulu ukuba abazali babe nezimfundiso ezijulile abazinikeza amantombazane ukuze angeke akhethe ukuyohlala namasoka angaziwa futhi angakhokhile. Ngoba amantombazane abulawa kuhlezwi ndawonye ekubeni kungekho nhlawulo ekhokhiwe.”


AGASTI/SEPTHEMBA 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 3

Sesivulwe ngokusemthethweni isibhedlela sabahaqwe iCorona

MAGAYE CELE

SIVULWE ngokusemthethweni isibhedlela, iGeneral Justice Gizenga Mpanza Hospital saKwaDukuza oGwini olusenyakatho yesiFundazwe, iKwaZulu Natal esizosetshenziselwa ukwelapha abahaqwe yigciwane leCorona. Lesi sibhedlela sivulwe ngokuhlanganyela nguNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwabantu kanye nezoMsebenzi yoMphakathi KwaZulu Natal, uNkk Peggy Nkonyeni, uNgqongqoshe weZempilo KwaZulu Natal, uNkk Nomagugu Simelani-Zulu kanye nokhulumela uMasipala weLembe, uMnu Sphesihle Zulu, uMqondisi weZempilo kwisiFunda, iLembe, uNkk T.E. Maphalala kanye noDkt Sandile Tshabalala oyiNhloko yoMnyango weZempilo KwaZulu Natal. Bonke labo baphinde bahlola isimo sesibhedela ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi sisesimweni esigculisayo. Lesi sibhedlela seqophelo eliphezulu kuhlalukile ukuthi sizokwazi ukuthi simumathe imibhede engu-113. IsiFunda, iLembe kuhlalukile lapha ukuthi sibalwa nezinye lapho siphezulu khona isibalo sabantu abahaqwe yiCorona. Ngenxa yaleso sizathu,

uNkk Nkonyeni uthe kulokoza inhlansi yethemba ngokuvulwa kwalo mtholampilo ozokwazi ukuthi ubhekana nje ngqo nalabo asebehaqekile. Uthe uMnyango weZemisebenzi yoMphakathi yiwona owajutshwa ngoNdasa ukuba kube yiwona ohlinzeka ngezingqalasizinda yeqophelo eliphezulu yokulwa nalolu bhubhane. Uthe ikhona neminye imitholampilo ababe yingxenye yokwakhiwa kwayo. Ubalule GJ Crookes ekwisiFunda uGu,naseNgwelezane Hospital kwisiFunda, iKing Cetshwayo uthe basilekelelile ngezinye zezinsizakusebenza ezimqoka kakhulu. Ngokunikizela ngezinsiza ezimqoka ezibhedlela uNkk Nkonyeni uthe bagcwalisela lokho abakuthembisa njengoHulumeni kokuthi bazoqinisekisa ukuthi benza konke okusemandleni ngenhloso yokunqoba iCorona. Ukwakhiwa kwezibhedlela kanye nokunikezela ngezinsizakusebenza ezimqoka kuzona uthe ngenye yendlela abakhombisa ngayo njengoHulumeni ukubaluleka kokuba abantu baphephe kulolu bhubhane. Uthe: “Siyaziqhenya kakhulu njengoMnyango weZemisebenzi yoMphakathi ngokukwazi ukuthi sinikezele ngengqala-

Kungesikhathi kuvulwa ngokusemthethweni I General Justice Gizenga Mpanza Hospital kwaDukuza sizinda ngalesi sikhathi esibucayi kangaka sokuhlasela kweCorona.” Eqhuba uthe ukuvulwa kweGeneral Gizenga Hospital KwaDukuza kuzokwehlisa umthwalo ezibhedlela eziningi zakule ndawo. Echaza uthe: “Sikholwa wukuthi

uzoke wehleke manje umthwalo onzima obususemahlombe ezibhedlela zalapha KwaDukuza njengoba sesikhona manje isibhedlela esizokwenza umsebenzi wokwelapha abaneCorona kuphela.”

Uhlelo lomkhandlu lokutakula osomabhizinisi abancane

IMEYA yoMkhandlu weTheku uKhansela Mxolisi Kaunda olushayela elikhulu izandla uhlelo lokufukula amabhizinisi amancane akhahlamezeke kakhulu ngesikhathi sikathaqa MAGAYE CELE UHLAKA olusebenza ngaphansi kukaMasipala weTheku, i-Economic Recovery Plan (ERP), selubeke eceleni isamba semali efinyelela ku-R10 Million ngenhloso yokutakula amabhizinisi amancane aseThekwini namaphethelo akhahlamezeke kakhulu ngesikhathi sobhubhane lweCorona. IMeya woMkhandlu weTheku, uKhansela Mxolisi Kaunda lolu sizo olumqoka kangaka olubhekiswe nje ngqo emabhizinisini amancane afadabale ngesikhathi sokuzika komnotho okubangelwe kakhulu wukuhlasela kweCorona uluchaze njengolumqoka kakhulu. Uthe okuyikhona okuseqhulwini kubona njengoMkhandlu weTheku

ukuqinisekisa ukuthi awekho amabhizinisi amancane azogcina eshabalele ngenxa nje yokushayeka okukhulu okubangelwe ukuntengantenga komnotho ngesikhathi sikathaqa. Ichaza kabanzi ngalolu hlelo olumqoka iMeya uKaunda ithe: “UMasipala weTheku ukuqonda kangcono kakhulu ukubaluleka kokuba uhlwanyele kwezamabhizinisi ngenhloso yokufukula umnotho weDolobha. Ngokusebenza ngokubambisana nangokukhulu ukucophelela lokhu sizokwazi ukubhekana nenkinga yokuzika komnotho ngalesi sikhathi esibucayi.” Ngokusho kukaMeya weTheku nazi izinjongo ezimqoka ezimele uhlaka i-Economic Recovery Plan. Eyokuqala injongo wukweseka amabhizinisi ngezimali ngenhloso yokuwafukula. Okwesibili lolu hlaka uthe lukubeka eqhulwini zikhathi zonke ukubaluleka kokuba luvikele amathuba omsebenzi angabonakali eshabalala ngenxa yokuqumbeka phansi kwamabhizinisi amancane. Lolu hlaka luzimisele ukubhekana nayo yonke imithelela engimihle edaleke emabhizinisini ngesikhathi sikathaqa kungakhathaleki ukuthi leyo monakalo mkhulu okanye muncane. Lolu hlelo kuyavela ukuthi luhambisana nalelo olusabalele eNingizimu Afrika yonkana olubizwa ngokuthi yiNational Recovery Plan (NRP). Ibhizinisi ngalinye

elisafufusa lizonikelelwa ngesamba semali esicishe sifinyelele ku-R30 000. Kodwa lolu xhaso lunombandela wokuthi luzonikezwa kulabo somabhizinisi abafake izicelo maqede zamukelwa. Futhi kumele kube yibhizinisi elingakaze lingahlomula ngosizo lwemali kuMasipala weTheku

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

ngaphambilini. Omunye umbandela kumele kube yibhizinisi elisebenza ngokusemthethweni futhi kube ngelibhalisiwe kwiCIPC. Amabhizinisi agunyaziwe ukuba angafaka izicelo ngokukhululeka yilawo esekuphele okungenani isikhathi esingangonyaka ekhona.


IKHASI 4

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

AGASTI/SEPTHEMBA 2020


AGASTI/SEPTHEMBA 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 5

Sibusisiwe isandla esiphayo kunesamukelayo TSEPO MOLEFE

UNKK Noncedo Makhoba ongumsunguli weSihlangu Respite Care Centre.

OWESIFAZANE waseBulwer eHarry Gwala District onothando lokunakekela izingane ezikhubazekile ucela uMsamariya olungileyo ngokumlekelela njengoba ethi isikhungo sakhe sinezingane ezidinga ukunakekeleka kakhulu. Uthi osekumkhathaza yilezi ngane esesizele noninakhulu emuva kokushiywa ngabazali bazo asebeyogana. UNkk Noncedo Makhoba waseNkumba utshele uthi eminyakeni edlulile wasungula Isihlangu Respite Centre eBulwer ngoba enothando lokunakekela izingane ezikhubazekile efisa nokulekelela ezomakhelwane abanalezi ngane ngokuthi bazishiye kulesi sikhungo uma benohambo abaluthathayo. “Ngokuba nothando lokunakekela lezi ngane ngabe sengisungula isikhungo esathakaselwa kakhulu emphakathini kwaze kwaba siyabhaliswa ngokusemthethweni. Isikhungo saze sathola nezincomo kuNkk Sindisiwe Chikunga

oyilungu lesishayamthetho sikazwelonke owasithengela imibhedede engu21 ngo-2014 nokunye okubalulekile. UNkk Chikunga washiya uMasipala iNgwe osubizwa ngeDr Nkosazane Dlamini-Zuma ukuba uqhubeke ubheke lesi sikhungo ngokubambisana noMnyango woKuthuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal. Kusukela lapho kasikaze sisizakale kwababeceliwe njengoba sesiphila ngokuqasha indawo esizoyisebenzisa emuva kokuba umphakathi waseXosheyakhe watoyitoya sasilungise ihholo elidala esasisebenzela kulona,” usho kanje. UNkk Makhoba uthi ukufela ngaphakathi kuba yingozi ngesinye isikhathi ngakho uyazijuba kwabangaba nosizo lokulekelela lezi ngane. “Okubuhlungu siyazihambela izigcawu zabakhubazekile kodwa siye sivalelwe ngaphandle uma sibeka izimvo zethu kuthiwe sikhulumani ngoba kasazi lutho ngokukhubazeka. Yebo, kasazi lutho kodwa sinazo izingane ezikhubazekile esizibhekile okumele

sibe yizindlebe nemilomo yazo lapho zingakwazi khona ukuzimela,” ubeke kanje. UMnu Sikhumbuzo Setutsa okhulumela uMasipala iDr Nkosazana Dlamini-Zuma uthe bebengenalo ulwazi lwezingqinamba zokusebenza ezithikameza Isihlangu Respite Centre. “Likhona ithimba elibheke ukusebenza kwezinkulisa kumasipala wethu. Noma lolu kuwudaba olufaka phakathi kakhulu uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi kodwa sizosibheka ukuthi singasilekelela kanjani lesi sikhungo,” usho kanje. Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal uMnu Mhlabunzima Memela uthembise ukuthi bewumnyango bazothumela ithimba losonhlalakahle elinkanise eBulwer ukubheka isimo seSihlangu njengoba kuvela nokuthi kukhona nabakhubazekile ababhekwe ngoninakhulu babo emuva kokushiywa ngabazali asebeyogana.

Owezinkanyezi ukhuthaza uTransnet uxhase ngokudla ababhali ngokuqonda ulwimi kwinqolobane yase Mhlathuze lwabo lwebele

USEBASTIAN Jili odle umhlanganiso kwi-Avbob Poetry Competion olwimini lwesiZulu. TSEPO MOLEFE UMHLAZIYI wezinkanyezi obuye abe ngumbhali wezincwadi nemidlalo yomoya uSebastian Jili waseMgungundlovu ukhuthaza ababhali abasafufusa ngokuba mabazifune ngokuqonda ulwini lwabo lwebele uma bengena emkhakheni wokubhala. USebastian usho kanje ekhuluma ngomklomelo wakhe wendodo njengoba ebaqwaqwade bonke amakhanda abeqhathwe nabo emncintiswaneni wezinkondlo obuhlelwe ngabakwa-Avbob obubizwa nge-Avbob Poetry Competition obuseGallagher Convention Cen-

tre eMidrand eGoli obungale nyanga u-August. Lo mncintiswano obuwenziwe ngobuchwepheshe besimanje, ophikweni lwesiZulu bewenganyelwe nguSol Mandla Abednego Maphumulo njengoba zonke izilimi bezimelelekile lapha. Azibonga ngakho uSebastian ngokudla umhlanganiso uthi ngukuqonda kahle ulwimi lwakhe lwebele nokubheka ukuthi konke lokho akubhalayo kuzoba nomthelela onjani emphakathini. “Bengiqala ukungena emkhakheni wezinkondlo njengoba ngingumuntu obhala kakhulu ama-novel nezindatshana ezimfishane kuze kufike nasemidlalweni yomoya. Lokhu kokungena emkhakheni wezinkondlo bengizwa amanzi ngobhoko ngakho futhi bengingabhekile lutho kukhona ngoba bengingakaze ngilunguze. Kungimangazile uma igama lami selitonyulwa ngaba phambili kwabaphumelele kulo mncintiswano. Ngibonga uSol Maphumulo ngokuzinikeza isikhathi abheke ulwimi ebengilusebenzisile ukuthi ngabe luyilona lona yini lwesiZulu,” usho kanje. Eqhubeka uSebastian ubonge bonke abantu abamesekayo ekubhaleni kwakhe nabakhekayo ngemibhalo yakhe kusukela ekuhlaziyweni kwezinkanyezi ezikulona leli phephandaba njengoba edume ngazo kwabaningi. “Ulwimi yilona olumqoka ekubhaleni futhi kumele uqikelele ukuthi konke okubhalile kuyezwakala kofundayo. Makube ngulwimi oluzokwamukelwa yibona bonke abantu ngokuhlukana kweminyaka yabo kungabi khona lapho okuzothiwa lapha kulungele ukufundwa ngabaneminyaka ethize kuphela,” usho kanje. USebastian lapha ukhale wemuka nomklomelo kaR10 000, i-voucher kaR2500 yokuthenga izincwadi kanye nendondo le ebibangwa ebizwa nge-Avbob Poetry Trophy Competion.

Kwesobunxele isekela leMeya kumasipala uMhlathuze kanye noThami Sithole ongumphathi kaTransnet eRichards Bay ngenkathi bezonikelela ngokudla THABANI MAPHUMULO INKAMPANI yakwaTransnet ophikweni lwase Richards Bay inikele ngokudla kwinqolobane yokudla kaMasipala uMhlathuze enyakatho nesifundazwe iKwaZulu Natal ukusiza lapho abaswele ngalesikhathi sokhuvethe .IMeya yalomkhandlu uMduduzi Mhlongo waqala lolu hlelo lwenqolobane ngenkathi kusanda kuqala uthaqa ukusiza labo abaswele ngalesikhathi sokhuvethe ukuze bakwazi ukuthola okuyangasethunjini. UMhlongo wanxusa izinhlaka ezahlukene ukuba ziphonse esivivaneni ukudla okungasheshi ukunakala, nezinto ezifana nezibulali magciwane, izinsipho, kanye nokunye okuningi. Inqwaba enikelelwe kanti bangaphezulu kuka-20 000 asebehlomulile kuwona wonke amaWadi angu-34 kumasipala uMhlathuze. Lowo ongumphathi wechweba laseRichards Bay uThami Sithole uveze ukuthi basabela kwikhwela elishaye umasipala uMhlathuze ukusiza umphakathi oswele ngalesikhathi.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

“Namuhla sisabele kwikhwela likaMeya walomasipala alibhekise kuzona zonke izinkampani namabhizinisi ngenhloso yokusiza umphakathi ngalesikhathi sobhubhane. Siyakholwa ukuthi lokhu esinikele ngakho kuzokwenzeka umehluko omkhulu kwabaswele,” kusho uSithole. Isekela leMeya yomasipala uMhlathuze uDudu Sibiya wamukele lokudla waphinde wazibophezela ukuthi bazosebenza ngokuzikhandla. “Siyabonga kwinkampani yakwaTransnet ngokugcina izithembiso Sethu sokusiza labo abantekenteke. Siwuhulumeni siyadinga ubudlelwano obufuze lobu ukuze sikwazi ukufinyelela kubantu abaningi,” kusho Sibiya. Umasipala uMhlathuze usukwaze ukuhlinzeka imindeni engaphezulu kwe-10 000 ngaphandle kwezinkinga. Abeluleki sebeqale uhlelo nalapho behambela imindeni emakhaya ukuqinisekisa ukuthi yibo ngempey yini abahlomulile, ukuveza indlela ecacile yokusabalalisa ukudla. Le nqolobane isazoqhubeka nokusebenza kuze Kube kuphela lolu bhubhane.


IKHASI 6

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

AGASTI/SEPTHEMBA 2020

Owesifazane uncoma izinhlelo Ezihlabahlosile zomkhandlu weTheku MAGAYE CELE

Nkk Thoko Xulu oke wasebenzela uMkhandlu weTheku oncoma kakhulu izinhlelo zalo Mkhandlu athi zibeka phambili izidingo zabo bonke abantu.

LOYO owake waba nguMphathi wezokuThuthukiswa koMphakathi ehhovisini loMkhandlu weTheku, kodwa ke osewathatha umhlalaphansi uncoma izinhlelo zalo Mkhandlu zokubhekelela abantu athi ziseqophelweni eliphezulu kakhulu nathi zishaya ngqo emhlolweni. Loyo nguNkk Thoko Xulu obalule inqwaba yezinhlelo zalo Mkhandlu athe ziyakhanga kakhulu. Olunye lwazo ngelokunikizelwa ngosizo kubantu abadala. Echaza uthe: “Uhlelo lokunakekelwa kwabantu abadala ngezinye zezinto uMasipala weTheku ozazisa kakhulu. Nami ngesikhathi ngisakhona lo Mkhandlu wawuqinisekisa ukuthi abantu abadala bathola ithuba lokukhuluma ngezinto ababhekene nazo, kungagcini lapho bathole nokwesekwa abakudingayo.” Eqhuba uthe: “Okungijabulisayo kakhulu wukuthi

uMasipala utuse iqhaza labesifazane abasemkhakheni wezokuxhumana

Nonala Ndlovu

Ayanda Zuma

TSEPO MOLEFE UMASIPALA wesiFunda saseHarry Gwala uyivale ngokungajwayelekile inyanga yabesifazane uNcwaba (August) njengoba uqophe umlando ongasoze walibaleka emlandweni waseNingizimu Afrika ngokuhlonipha abesifazane abayibambe ishisa emkhakheni wezokuxhumana phambilini obuwaziwa njengowabesilisa kuphela. Lokhu kuhlonishwa kwabesifazane kwenziwe ngaphansi kweDistrict Communicators Forum (DCF) ebibheka abesifazane abavelele kwezokuxhumana kungaba kwi-science, ezobuciko, ezemidlalo njalo-njalo. Phakathi kwabesifazane abachomywe uphaphe legwalagwala lapha futhi abebeyizimenywa eziqavile nguNkk Nonala Ndlovu ongusomaqhuzu kwezokuxhumana eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkz Ayanda Zuma oyiMenenja-jikelele kwezokuthengisa nokuxhumana eTrade and Investment KwaZulu-Natal noNkz Nomusa Phungula okhulumela iHhovisi likaSomlomo weSishayamthetho saKwaZulu-Natal. Zonke lezi cukuthwane ezibalwe ngenhla zabelane nabebeyingxenye yalo mcimbi ngohambo lwazo emkhakheni wezokuxhumana nokuthi zifike kanjani lapho zikhona manje. UNkk Ndlovu ongumakadebona kwezokuxhumana futhi osesebenzele uhulumeni isikhathi

namanje izinhlelo zokunakekelwa kwabantu abadala lo Mkhandlu usaqhubeka uyazenza.” Ukhulume nangohlelo lukaMasipala weTheku lokuhlumelelisa izimilo kubantwana abahlala emgwaqeni nabacwile kwizadakamizwa. Nalo lolu hlelo uthe ngesikhathi sakhe lwalukhona namanje futhi uthe lusaqhubeka. Ukusebenzela uMkhandlu weTheku uthe kumfundise izinto eziningi kakhulu empilweni yakhe. Okumqoka kunakho konke athe ukufundile ukubaluleka kokufinyeleliswa kwezidingongqangi kubantu abasemazingeni aphansi. Uthe uMkhandlu weTheku wamenza wakuqonda kangcono kakhulu ukubaluleka kokunikezelwa kwezinsiza kubona bonke abantu abazidingayo. Lokhu uthe ukusho ngoba lo Mkhandlu unezinhlelo ezibhekelela bonke abantu ngokwahlukana kwezigaba zabo. Echaza uthe: “KuMasipala weTheku ziyatholakala izinhlelo ezimayelana nabantu abasha.

Zikhona ezimayelana nokuthuthukiswa kwabantu besifazane. Kanti zikhona futhi ezibeka eqhulwini ukukhuliswa kahle kwabantwana.” Mayelana nezinhlelo zabantu abasha uthe wafunda ukuthi umthente uhlaba usamila, wathi ngaleyo ndlela yingakho uMkhandlu weTheku ungalenzi iphutha lokubakhipha inyumbazane abantu abasha ezinhlelwezi onazo ezihlabahlosile. Njengamanje uNkk Xulu usebhodini eliphezulu elengamele ukusebenza kwenhlangano yabantu abahlala emgwaqeni i-I Care. Uphinde abandakanyeke ezinhlelweni ezimqoka zokukhuliswa ngendlela efanele ikakhulukazi kwezingane zamantombazane. Ungomunye owabe ephambili ngesikhathi kuvulwa ngokusemthethweni isikole, i-iMepo Nursing School esiseNtunjambili, eKranskop okuyindawo azalelwa kuyona. Intshisekelo yokwenza konke lokhu uthe yaqala ngesikhathi esasebenzela uMkhandlu weTheku.

Kube yinjabulo bethola imizi

Nomusa Phungula

eside wabelane nabebelapha ngezinselelo ahlangabezane nazo emsebenzini wakhe. Uthe kunezikhathi lapho ayebhekana nengcindeni yokuphoqeleka ukuyeka umsebenzi engazi ukuthi uzoyosebenza kuphi kodwa phezu kwaleyo ngcindezi wakwazi ukwenza kahle umsebenzi wakhe eminyangweni ehlukahlukene kahulumeni. UNkz Phungula okuvele ukuthi nguyena ongomncane kakhulu kwezokuxhumana KwaZulu-Natal uthe uhambo lwakhe kaluzange lube lula nokho ukuze afinyelele lapho ekhona. “Ezokuxhumana zigqame ngokwaziwa ukuthi kungumsebenzi wabesilisa bodwa kodwa lokho kakuvimbi ukuthi nathi besifazane sigqame kuwona futhi siwushiye umaka lapho sisebenza. Lesi yisikhathi sokuba nathi bantu besifazane siziveze ukuthi sikhona,” usho kanje. UNkz Zuma ubonge isiFunda saseHarry Gwala ikakhulukazi ithimba leDCF ngokubahlonipha bengabesifazane ngalo mcimbi abebenzelwe wona futhi abebemenyiwe kuwona njengezimenywa eziqavile. “Uhambo alukho lula njengoba sihlanganisa iminyaka engu-26 sathola inkululeko njengoba sisazabalaza singabesifazane sizama ukuthola imikhakha yethu nathi. Singabantu besifazane masibhukuleni siziveze ukuthi sikhona futhi kukhulu esingakwenza,” ubeke kanje uNkz Zuma.

INTATHELI YEPHEPHANDABA BEKUGELEZA izinyembezi zentokozo eNdwendwe ngenkathi ihhovisi likaFirst Lady wesifundazwe, Spousal Office, ne-Office on the Status of Women ngaphansi kwePremier’s Office bevakashele eNdwedwe beyonikela ngemizi eyakhelwe imindeni emibili entulayo. uFirst Lady uNkk Nelly Zikalala nabaxhasi bakhe kanye nezinhlaka zikaHulumeni unikele ngemizi kwazise uvukele eWard 13 eMsunduzi wase eyivala eWard 11 KwaSonkombo. Izibongo zalemizi enikelelwe sicela

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

ukuzigodla ukuze sivikele isithunzi sama-beneficiaries. UFirst Lady ubephelezelwa wuDeputy Mayor weLembe uCllr Dolly Shandu, wuMayor waseNdwedwe uCllr Nathi Chili namakhansela oMkhandlu waseNdwedwe, wuNdabezitha iNkosi yaseNkumba-Nyuswa nabaxhasi iNtsika Foundation, abakwaHuman Aid, wuMnyango wezeNhlalakahle nophiko lwakwaSocial Cohesion esifundazweni nakwaMasipala kanye noSAB. Laba abanikelelwe ngezindlu bahlonzwa ngohlelo lwe-OSS (Operation Sukuma Sakhe).


AGASTI/SEPTHEMBA 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 7

Umkhandlu uqhakambise isishabasheki ugogo Sizakele Magwaza

ISISHABASHEKI ugogo Magwaza owaziwayo ngemisebenzi emihle ondini INTATHELI YEPHEPHANDABA UMasipala wasoLundi uhlangene ngosuku olunzima oluhambisana nokubungazwa kwempilo yeqhawekazi lawo lapha Ondini. Ugogo u Magwaza owaziwa ngemisebenzi emihle yokusiza nokukha-

thalela abantu. USodolobha uKhansela uMnu Wilson Ntshangase ukuphakamisile ukuthi kube wusuku lokuzoqinisekisa IsiZulu esithi “Umfazi Omabele Made Okwazi Ukuncelisa izingane zingale Komfula” Sonke namhlanje singofakazi balokho sikubonile ngamehlo kubika uSodolobha. Uphinde wakubalula ukuthi bakuthokozela izithukuthuku zakhe abezisebenzela ngokuzikhandla ukuze kusizakale abantu bakithi. Mndeni wakwaMagwaza, zihlobo zonke, nabangani ube eselacela ukukha phezulu kweminye yemisebenzi emihle ayisebenzile waqinisekisa ukuthi iba yimpumelelo. UGogo uMagwaza ujoyine kwaMasipala eqhamuka eMandleni Matleng nokuyilapho abesenza khona nentsha eyilekelela futhi eyikhombisa ukubaluleka kokuziphilisa ngokulima kanye namanye amakhono. Kuthe ngesikhathi sonyaka ka 1995 kuya ku 1996 ube yikhansela ngaphansi kuka Meya uMnu uBJ Masango no Mnu uPZ Phakathi kanye no Mnu uSL Ngcobo isikhashana esincane. Kuzokhumbuleka ukuthi ngalesi sikhathi saleminyaka bekusano Hulumeni obubizwa ngokuthi yi-Transitional Local Council kwazise kwakusalungiselelwa ukhetho olwabanjwa ngonyaka ka 1997. Kuningi okuhle akwenzele umphakathi ngalesi sikhathi engena ekubeni yikhansela. Ube yingxenye yezigungu

Babambe umkhuleko wokulwa neCorona

IMEYA yoMkhandlu waseMandeni, uKhansela Thabani Mdlalose ngesikhathi kuqhubeka umkhuleko omqoka omayelana nokhuvethe iCorona. MAGAYE CELE IMEYA yoMkhandlu waseMandeni, uKhansela Thabani Mdlalose osanda kuphonsa umbalane kwisifo iCorona ebesimhaqile unxusa amakholwa akule ndawo ukuba akhuleke angaphezi ukuze bonke abahaqekile bezolulama ngokushesha. Ikhulume kanjena emkhulekweni wezinhlelo ezihlukene ezikhona kule ndawo obubanjelwe esakhiweni samaWeseli esiseRed Hill. Ikhuluma emkhulekweni iMeya uMdlalose ithe: “Lesi yisikhathi sokuba amakholwa akhuleke kakhulu anxuse uNkulunkulu ukuba angenelele kulesi simo esinzima kangaka esibhekene naso. Umkhuleko yiyona nto esiyethemba ngaphezulu kwezinto zonke. Yingakho namhlanje sikubone kumqoka ukuba

sihlanganyele ndawonye sikhuleke.” UKhansela Mdlalose uthe okumele kuqale kubonakale emabandleni wubumbano lweqininiso. Uthe akukho ke okungama endleleni yamakholwa abumbene futhi akholelwa entweni eyodwa. “Nginxusa ukuthi kubekhona uthando nobumbano lweqiniso phakathi kwawo wonke amahlelo akhona lapha eMandeni. Uma sibumbene ngikholwa wukuthi kuyoba lula nokuthi siyinqobe kalula iCorona,” usho kanje. IMeya ithe uma sekukhulekiwe kumele umphakathi uqhubeke wenze konke okusemandleni ngenhloso yokuqikekela ukuthi alibhebhetheki mawala leli gciwane. Ukhumbuze ebebehambele inkonzo ngezindlela esekukhulunywe ngazo kaningi zokugwema ukusabalala mawala kwaleli gciwane. “Ukuthi izwe uMongangameli uselibeke kwisigaba sesibili lokho akusho ukuthi sekumele senze noma yikanjani. Kodwa kunalokho kumele siqikekele kakhulu kunakuqala,” usho kanje. Isihlava sokuhlukunyezwa kwabantu besifazane kanye nabantwana osekuphenduke insakavukela nakho iMeya ithe kumqoka kakhulu ukuba amakholwa akubike kuNkulunkulu. UMfu Olga Dlamini onguMholi weSekethe yamaWeseli yaseMandeni futhi onguSekela Bhishobhi kwisiFunda, iNatal Coastal ungomunye wabaholi bezeNkolo obephambili emkhulekweni. Uthe amakholwa anamandla okunqoba konke inqobo nje uma emethemba ngeqiniso uNkulunkulu.

ezahlukene okubalwa kuzo ezibhekelela Ezokuhlaliswa kwabantu, Ezemidlalo kanye Nezokungcebeleka. Ube seqhulwini lethimba alagqugqumezela ukwakhiwa kwenkundla yezemidlalo eyayaziwa ngokuthi Ulundi Stadium yashintshwa okumanje ibizwa ngokuthi iPrince Mangosuthu Buthelezi Regional Stadium. Akagcinanga lapho uxhumane nenhlangano ezimele i-Bruce Fordyce Foundation eyanikela ngezinsiza zokudlala imidlalo eyehlukene ikakhulukazi lo wamanqindi njengoba ebewumshayi sibhakela oqavile waze waba ngunompempe kuwo amanqindi belu. Lezi zinsiza namanje zisekhona ehholo i-Nodwengu Multipurpose Centre. Ngonyaka ka 2006 kuya ngo 2011 ngaphansi kuka Meya uLD Buthelezi uGogo u Magwaza uphinde waba yi khansela kulomkhandlu wasoLundi nalapho aba yingxenye yekomidi lakwa Community Services. Lelikomidi libhekelela inhlalonhle emphakathini, ukuthuthukiswa komphakathi nokunye. Abaningi benu bayayazi indawo yaseZondela, lentokazi esihlangene ngayo lapha namhlanje yabamba elikhulu iqhaza ekutheni kwakhiwe lezi zindlu okumanje sezihlala izinkumbi zemindeni. Simethulela isigqoko ngeqhaza lakhe alibambayo ngaphansi kobuholi buka Meya uMasango. Lesi sishabasheki esikhuluma ngaso futhi esihlangane

ngaso ukuba sizosiphelezela sasungula inhlangano eyayaziwa ngokuthi yi-Garden of Hope eyayitshala izithelo, nemifino ngenhloso yokuyopha nokondla imindeni entulayo. Akagcinanga lapho umphakathi waseZondela uzokhumbula nge Free Soup Kitchen ebeliphakela abahluphekayo isobho badle mahhala. I-Clinic le ekwa Unit A wabamba iqhaza futhi kuyo ekutheni igcine yakhiwe ukuze kusizakale umphakathi ukuthi uthole usizo ngokwezempilo eduze. Uphinde waba yilungu lebhodi lokuphatha isibhedlela saseNkonjeni. Ube ngomunye wabasunguli be-Rotary Club Ondini. Lenhlangano ibingezinye ebezaziwa nasemazweni aphesheya kwezilwandle ixhasa abantu abantulayo. Usungule neminye imikhankaso okubalwa nalona obizwa nge Fundraising Disabilities Campaign ebambisene no Lindiwe Ntuli “Malindi kaNtulu” owayesakaza kuMsakazo i-Radio Bantu ngaleso sikhathi kanti njengamanje sekuwuKhozi FM. Lomkhankaso ubungabhekile ukusiza abantu basoNdini kuphela kepha isifundazwe saKwa Zulu Natali yonkana. Ube esehlomula ngemiklomelo eminingi yokuhlonipha amagalelo akhe nayo yonke imisebenzi yakhe emihle ayenzele isizwe

Iqembu lezepolotiki lilule isandla koswele

Ubuholi be-IFP women’s brigade ngaphansi kwesiyingi uMhlathuze buyinikela THABANI MAPHUMULO IQEMBU lezepolitki iNkatha Freedom Party (IFP) ngaphansi kwesiyingi saseMhlathuze enyakatho nesifundazwe iKwaZulu Natal lisize umndeni oswele kulendawo. Leli qembu lisonge inyanga yabesifazane ngokuthi linikele ngegilosa, izingubo zokulala kumndeni wakwaMabaso oDondolo eMpangeni. “Sifisa ukudlulisa ukujabulo nokubonga okukhulu eqenjini leNkatha ngelisenzele khona. Indlu esihlala kuyo iyanetha sihlala siyishiyagolombili njengoba kungekho muntu osebenzayo kuleli Khaya. Impilo inzima kakhulu lokhu engikubonayo kuyisobusiso esiphindiwe kuthina,” kusho Thembisile Mabaso. Lobuholi baleli qembu buphinde bazobophezela ngokwakhela lomndeni indlu ukuze bakwazi ukuhlala

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Ubuholi be-IFP buzibophezele ukwakhela lomndeni indlu kwindlu esesimeni. UMabaso uhluleke nawukuzibamba echaza ngesimo Sakhe. “Sekukaningi ngikhala ngifuna usizo kodwa lutho , ngiyajabula ukuthi ekugcineni bakhona abangizwele. Nathi sesizofana nabanye abantu njengoba uma kunemvula siyaphoqeleka ukuthi sivuke sihlale,” kuqhuba Mabaso . USihlalo wabesifazane ku-IFP ngaphansi kwesiyingi uMhlathuze uZodwa Mkhize uveze ukuthi lokhu bakwenza njengenxenye yokubungaza usuku lokuzalwa kwaMntwana Mangosuthu Buthelezi. “Lokhu esikwenzayo kuyinxenya yokubungaza usuku lokuzalwa kweNkosi yakwaPhindangene, futhi sifuna ukugoqa inyanga yabesifazane kukhona esikwenzele abaswele,” kusho Mkhize. Leli qembu liphinde lanikelela neminye imindeni eswele ngezingubo zokulala nezokugqoka kuyo lendawo.


IKHASI 8

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

AGASTI/SEPTHEMBA 2020

Sivubela Intuthuko

EZEMIDLALO Injabulo izinyoni zindizela phezulu THABANI MAPHUMULO

Abadlali beSwallows bejabulela ukunqoba kuGladAfrica Championship

EMVA kweminyaka emihlanu iSwallows FC yagawulwa yizembe ngesizini ka-2014/15 ikwazile ukubuyela esigabeni esiphezulu sebhola kuleli okuyi-Absa Premiership. Izinyoni njengoba leli qembu liteketiswa kanjalo likwazile ukuqoqa amaphuzu angama-57 ukuze zinyukele esigabeni esiphezulu. Leli qembu elingelinye lamaqembu anomlando aseSoweto belibanga ne-Ajax Cape Town ebikade ihleli esicongweni, nayo eqede inamaphuzu afanayo , kwabhekwa umehluko wamagoli ahlohlwe yilamaqembu. Izinyoni emva kokuba zigawulwe yizembe izikhulu ezihlanganisa uPanyaza Lesufi zazama ukubuyisa leli qembu kodwa zahluleka, Kanti kuthe kulesizini zathenga iMaccabi FC njengoba sebenyukele kwisigaba esikhulu. Leli qembu elinabadlali abaningi abancane liqashe uZeca Marques ukuba alisize nohluleke wancame njengoba washiya lihleli endaweni yeshumi nantathu kuLog. Libe seliqasha uBrendon Truter

ofike washintsha izinto kuleli qembu. Phakathi kwabadlali abanesipiliyoni leli qembu ebeligabe ngabo uLebogang Mokoena wodumo kuPirates, Vuyo Mere oke wagijima kuSundowns Kanye noZephaniah Mbokoma oke wadlala kuChippa United. Emdlalweni wokugcina waleliqembu belibhekene neTTM belidinga amaphuzu amathathu, neligcine liwatholile linqoba ngo 3-0. Ngakolunye uhlangothi i-Ajax Cape Town nayo inqobe ngo 4-0 ihlula iMbombela United yakwazi ukuzibekisela indawo kumaPlay Offs .Ukunqoba kweSwallows kuGladAfrica Championship ihambe nemali engu-R3 million wezigidi zamarandi. I-Ajax Cape Town Kanye neTTM sebelindele iqembu elilodwa elizolala indawo yeshumi nanhlanu ku-Absa Premiership bese kuqala eyamaPlay-Offs. Kuzokhumbuleka ukuthi uSihlalo wePremier Soccer League (PSL) uDkt. Irvin Khoza usanda kukhipha izinsuku okuzodlalwa ngayo lemidlalo ezoqala mhlaka zi-6 kuMandulo.

Izinyoni zichitha eyecala lomdlali THABANI MAPHUMULO

Esithombeni abadlali beSwallows uVuyo Mere Kanye noThibedi bejabulela elinye lamagoli

USIHLALO weSwallows esanda kukhushulelwa esigabeni se-Absa Premiership emva kokunqoba kuGladAfrica Championship uDavid Mogashoa uqinisekise abalandeli baleli qembu ukuba bangakhathazeki alikho icala abanalo. Lokhu kuza emva kokuba uSihlalo wePremier Soccer League (PSL) uDkt. Irvin Khoza ekuqinisekisile ukuthi kunamacala abawadlulisele kumeluleki. “Ngingasho kubalandeli ukuthi abangakhathazeki alikho icala esibhekene nalo. Udaba lomdlali uVuyo Mere wathola ikhadi esadlala kuWits,� kusho Mogashoa. Kuzokhumbuleka ukuthi nangesizini ka-2017/18 kwenzeka okufanayo ngenkathi i-Ajax Cape Town ilahlwa yicala lokudlalisa uTendai Ndoro ngokungafanele. Lokhu kwaphoqa ukuthi leli qembu liphucwe amaphuzu lashovelwa ehlathini. Kwaphinde kwakhipha neqembu laMaZulu FC olwaselungene kuTop 8.

031 828 0433 / 082 597 6669

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.