Sivubela Intuthuko

Page 1

SIVUBELA Intuthuko

ADVERTISING: (031) 8222 602 MASHI2020

Sinyukile isibalo sabaFundi besikole esisha eseMlazi

FACEBOOK: SIVUBELA INTUTHUKO

LIMAHHALA

SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

4

6

Balugubhe ezikoleni olwezithandani abePhephandaba lo mphakathi

USHICILELO 43

7

uMhlathuze uphendule izikhalo zabase-ntambanana

8

Umgadli we-Arrows uthipha uMhango kowokushaya amagoli

Sincishisiwe isibalo sezimenywa udaba kukhasi: 3 USomlomo wesiShayamthetho uNtobeko Boyce

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


IKHASI 2

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

MASHI 2020

Kuphendulwe isoyi ePhoyinti TEBOGO SIBISI KUZODALA amathuba emisebenzi angaphezu kwekhulu ukufakwa kwengqalasizinda entsha yamapayipi amakhulu amasha ePoint Watermain engaphansi kawadi-26 eThekwini.Lokhu kudalulwe nguMeya weTheku Ukhansela Mxolisi Kaunda ngesikhathi ephendula isoyi endaweni lakuzofakwa khona amapayipi amakhulu azosabalisa amanzi kulandela ukuthi ingqalasizinda ekhona isindala futhi ayisakwa ukusabalalisa amanzi ngendlela efanele. UKaunda uthe ukwanda kwesibalo sabantu abahlala ePhoyinti yikona okubenze babona sisikhulu isidingo sokuthu bafake amapayipi amakhulu amasha ukuze ezokwazi ukusabalalisa amanzi ngendlela. ”Sibone kubalulekile ukuthi sithuthukise ingqalalsizinda yamanzi kule ndawo ukuze abantu bengeke bahluphekele amanzi,Sikwenza lokhu emva kwekhwelo likaMengameli wezwe uMnuz. Cyril Ramaphosa lokuthi akuthuthukiswe izingqalasizinda esezindala ukuze kudaleke amathuba emisebenzi kuphinde kuhehwe abatshalizimali.Kule ndawo kuzokwakhiwa namahhotela okuyiwona azosiza idolobha lethu likhule kwezomnotho. Njengomasipala sizophinde siqhubeke nokulungisa amabhilidi asemadala.Sivule nehhovisi lethu khona ePhoy-

Ophakathi nendawo uMeya Mxolisi Kaunda,uMnuz, Sipho Nzuza kanye noMnuz.Phillip Sthole inti elizosiza ukuthi kubhaliswe abantu abazohlala ePhoyinti ukuze kuzonqandeka izigameko zobugebengu nokuthi lendawo ingathathwa njengak-

wampunzi edlemini.”Kusho uKaunda. Ukwakhiwa kabusha kwalengqalasizinda kuzodla imali engaphezu kaR200 million wamarandi kanti kuzophazamisa ukuse-

benza kwemigwaqo efana noMahatma Ghandhi kanye no-Anton Lembede isikhathi esingangezinyanga eziyi-18.

Ibuye ngegiya eliphezulu eyeziFundiswa KwaMashu TEBOGO SIBISI

Abafundi abahlonishwe ngezindondo kanye nabasunguli beKwaMashu Education Forum

INHLANGANO ehlanganisa izifundiswa ezakhulela elokishini laKwaMashu iKwaMashu Education Forum eyasungulwa ngo-2013 ihloniphe ngezindondo abafundi abenze kahle bahamba phambili kwimiphumela yabo kaMatikuletsheni wangonyaka odlule ezikoleni eziyi-11 eziqhamuka ngaphansi kwaleli lokishi. Le nhlangano ithi yenza lokhu ngenhloso yokuqhakambisa izinto ezinhle ezenzeka KwaMashu ikakhulukazi ukubeka imfundo phambili kulandela ukuthi lelilokishi like laduma kabi.Okhulumela le nhlangano uMnuz. Muzi Masuku uthe bazosebenzisana nazo zonke izinhlaka ezifanele kwezeMfundo ukuze yonke into ihambe ngendlela efanele.”Sizimisele ukubambisana noThishanhloko kanye noPhiko olumele abazali (SGB) bazozonke izikole zamabanga aphezulu KwaMashu ukuze senze imfundo yabafundi iyephambili. Othisha kuzomele bazi ukuthi asizile ukuzoxabana nabo kodwa sizolekelelalana ngezinhlelo esovumelana ngazo ezifaka nabafundi phakathi.Ulwazi oluzosabalala kubafundi kuzoba ulwazi oluhlanganisa thina,oThishanhloko neSGB imbala. Umehluko esiwubone kwimiphumela yabafundi isenze sabona ukuthi kumele

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

sisukume sihloniphe bonke abafundi abakwazile ukuzimisela bathola no-A ezifundweni zabo yize abanye singakwazanga ukuba nabo kulo mcimbi ngenxa yokuthi sebeqalile ukufunda emaNyuvesi abathathwe kuwona.Ezinye zezinhlelo esiza nazo yilezo zokuthi sizongena siphuma ezitolo ezinkulu ezifana noSPAR,BUILD IT kanye nezinye sibheke ukuthi yini abangayenzela izikole zethu singafelwa izikole ekubeni bekhona oBUILD IT abathola uxhaso emiphakathini yethu.”Kusho uMasuku Omunye wabafundi ohlomulile ngendondo obefunda Kwesethu High School uMhlengi Dludla ubonge kakhulu ngendondo ayitholile wathi isho okukhulu kuyena emva kokuthi ubefunda ngokukhandla.”Bekuthi njalo mangibuya esikoleni ngiwashe umfaniswano wami ngijime bese ngiyafunda.Bengihluleka ukufunda sibebaningi kodwa okungisize kakhulu ukuthi bengichitha isikhathi sami ngime phambi kwabafundi ngibasize uma kukhona abasalele emuva.Engikuthole namhlanje kuzoba isikhumbuzo empilweni yami futhi kuzongikhuthaza ngokuqhubeka ngizimisele njengoba ngizoqala ngoJulayi eNyuvesi yaKwaZulu-Natali ngiyokwenza iDental Therapy obekuyinto ebengihlezi ngiyifisa ukuyenza.”


MASHI 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 3

Sincishisiwe isibalo sezimenywa “Emasontweni amathathu adlule sibe nemihlangano nezinhlaka ezifanele sidingida kabanzi ngalemicimbi konke okuzokwenzeka savumelana ngakho okubalwa phakathi nangehambeli zethu esizimemile”. UNobhala weShayamthetho uNerusha Naidoo,uSekela kaSomlomo uMnuz. Mluleki Ndobe kanye noSomlomo uNtobeko Boyce. TEBOGO SIBISI USOMLOMO weShayamthetho sesiFundazwe saKwaZulu-Natali uNtobeko Boyce uthi ngenxa yezindleko ebezibakhona ngemicimbi emibili yokuvulwa kweShayamthetho uNgangezwe lakhe kanye nomcimbi wenkulumo kaNdunankulu asuke eyibhekise kubantu besiFundazwe iState Of The Province Adress (SOPA) kubaphoqile kulonyaka ukuthi banciphise isibalo sezimenywa sasuka ku 2800 safika ku 1200. UBoyce usho lokhu ngesikhathi kunesthangami sabezindaba ebesibanjelwe eThekwini obekuhloswe ngaso ukuzomemezela ngokusemthethweni ngamalungiselelo alemicimbi yomibili ezokuba ngesonto elizayo eRoyal Show Ground eMgungundlovu.Le micimbi iba minyaka yonke kanti isuke ilandela inkulumo kaMengameli wezwe iState Of the Nation Adress bese kuba eyeziFundazwe zonke. “Emasontweni amathathu adlule sibe nemihlangano nezinhlaka ezifanele sidingida kabanzi ngalemicimbi konke okuzokwenzeka savumelana ngakho okubalwa phakathi nangehambeli zethu esizimemile.Usuku lokuqala lokuvulwa kweShayamthetho sizovulwa iSilo samaBandla iNkosi Goodwill kaBhekuzulu njengenjwayelo akukho okushintshile lokhu sikwenza ngoba sikhombisa inhlonipho kanye nokuthi uHulumeni wethu unobudlelwano obude futhi obuhle kakhulu noBuholi bethu boMdabu.Usuku lwesibili kuzoba inkulumo kaNdunankulu wesiFundazwe uMnuz. Sihle Zikalala kanti inkulumo yakhe kulonyaka izogxila kakhulu ngokudaleka amathuba emisebenzi,ukuthuthukiswa kokuhanjiswa kwentuthuko kubantu,ukuthuthukiswa komnotho wesiFunda-

zwe,ezokuhlaliswa kwabantu kanye nokunye.”Kusho uBoyce USomlomo uphinde waveza kuthi owayenguMengameli wezwe uMnuz. Jacob Zuma uzobe eyingxenye yalemicimbi,oSomlomo bakwezinye iziFundazwe,izimeya,amaKhosi,amakhansela,kanye nabaholi bemiphakathi. OnguNobhala weShayamthetho uNerusha Naidoo ephendula imibuzo ngemali esebenzile ngonyaka odlule ngalemicimbi yomibili uveze ukuthi ngenxa yokuthi unyaka odlule waba nemicimbi emikhulu emibili okubalwa kuwona nowokufungiswa koNgqonggqoshe yagcina ingaphezu ka R3 million wamarandi imali eyachitheka kade kwenziwa amalungiselelo alemicimbi kodwa kulonyaka zincishishwe ngemali engaphezu ka R1 million wamarandi izindleko zamalungiselelo alemicimbi.

Cllr MXOLISI KAUNDA IMeya yeTheku

INGQUNGQUTHELA YABAFUNDI EHLELWE WUMNYANGO WEZAMANZI NOKUTHUTHWA KWENDLE NGAPHANSI KOMKHANDLU WETHEKU UMnyango weZaManzi nokuThuthwa kweNdle ngaphansi koMkhandlu weTheku uzoba neNgqungquthela eholwa nguMeya ngoLweSine Mhlaka 5 Mashi 2020 e-INkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC). Yizikole ezingu-100 ezingaphansi koMkhandlu weTheku ezimenyiwe, kanti isikole ngasinye sizothumela abafundi abane nothisha ababili kuhlanganisa nothishanhloko. KUZA LEZO ZIKOLE EZIMENYIWE KUPHELA KWINGQUNGQUTHELA! Kulindeleke izihambeli ezingamakhulu ayisishiyagalolunye (900), kuhlanganisa nabasebenzisana noMnyango. Abafundi bazokwethula amaphepha, benze namaphosta namamodeli ahambisana nezokuthuthwa kwendle ngenhloso yokwenza abantu abasha ukuthi baqonde kahle ngezinselelo okubhekenwe nazo. Izikole ezizobamba iqhaza sezimenyiwe kanti futhi kuhlanganiswe zonke izinhlanga, yizikole zasemakhaya nasedolobheni, nezikole zabafundi abanezidingo ezehlukile., nokunye Ingqikithi yeNgqungquthela ithi: “NGALE KOKWENTULEKA KWAMANZI-IZINDLELA EZINQALA ZOKUTHUTHWA KWENDLE ZEKUSASA”.

Sicela uxhumane noMasipala weTheku ngalezi zindlela uma kungukuthi unenkinga ephathelene namanzi nokuthuthwa kwendle: WhatsApp 073 148 3477, okukanye 080 3 11 11 11, noma eservices@durban.gov.za

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


IKHASI 4

MASHI 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Lusayindida olwezindlu zangasese eZululand

TEBOGO SIBISI

LIZOBHALELA incwadi iziphathimandla zikamasipala wesiFunda iZululand ikomiti lezokuphathwa kwezimali eShayamthetho sesiFundazwe saKwaZulu-Natali ngodaba oluthinta ukwakhiwa kwezindlu zangasese endaweni yaseBanzana ngaphansi kawadi-5 kwaNongoma okuvele ukuthi kwakumele zakhiwe ngo-2017 sekuthengwe nezinto zokwakha kodwa zahlala zaze zonakala kwaze kwaba zakhiwa ngonyaka odlule. Lokhu kuvele ngesikhathi leli komiti lihambele kule ndawo ukuyohlangana nomphakathi kanye neziphathimandla zeZululand zona ezigcine zingafikanga ukuzoba ingxenye yomhlangano.UShlalo waleli komiti eShayamthetho uMnuz. Sipho Nkosi Uthe kubashiye nemibuzo engaphenduleki ukungafiki kweziphathimandla zomasipala iZululand ngoba kuningi okuyizimpendulo obekulindelekile. “Sathola ucingo oluvela kwelinye lamalungu omphakathi lusazisa ngokuthi kunezindlu zangasese obekumele zakhiwe ngo-2017 kodwa kwagcina kufike izinto zokwakha kuphela kumalungu om-

phakathi wangabakhona umnyakazo zaze zonakala kwaze kwaba bakhelwa ngonyaka odlule.Emva kokuthola loyombiko sabe sesibhalela iNhloko yomnyango wezezimali sicela ukuthi kuqalise uphenyo ngale zinsolo zale projekthi emva kwalokho sabhalela umcwaningi ocwaninga ngokusetshenziswa kwezimali komasipala kwabakhona okuvelayo okusolakala ukuthi ithimba lezokuphasisa kwamathenda eZululand alihambisanga kahle kade kuqhubeka lo msebenzi. Sizobhalela iZululand incwadi isichazele ngokuthi yimalini eyasetshenziswa kade kuthengwa izinto zokwakhwa ezonakala ngo -2017 nokuthi yimalini esebenzile sekuthengwa kabusha izinsiza zokwakha ngonyaka odlule,emva kwalokho sobe sesicela umbiko ogcwele kulo masipala osazisa ngemali esebenze budlabha nohlu lwamagama abantu abathintekayo ukuze bezoyikhokha lemali ngoba njengoHulumeni sifuna ukuqinisekisa ukuthi izimali zabakhokhi bentela zisebenza ngendlela efanele.”Kusho uNkosi. ILungu lomphakathi uSebenzile Mathe ukuqinisekile ukuthi zafika izinto zokwakha izindlu zangasese ngo-2017 kodwa

Bebequlisa kanje abahlali baseBanzana kwaNongoma bengakabinazo izindlu zangasese Izindlu ezintsha zangasese ezakhiwe ngonyaka odlule ebese kunesikhathi zalindwa kanti osesithombeni uSebenzile Mathe zabhadla zaze zonakala.”Zikhona izinsiza ezafika kodwa kwathuleka iminyaka emibili singatshelwa lutho ngenqubekela phambili kwaze kwaba sakhelwa ngonyaka odlule ngoMeyi izindlu saqala ukuzisebenzisa ngoSepthemba wangonyaka odlule.Bekusikhathaza kakhulu ukungabinazo izindlu zangasese ngoba besizikhululela noma ikephi obekugcina kwenza indawo

yangakithi iba nephunga elibi.”kuchaza uMathe. UMathe uphinde wakhala kakhulu ngodaba lokushoda kwamanzi nathi iloli eliwalethayo lifika kanye ngenyanga okubaphoqa ukuthi baze baphile ngamanzi asedamini angahlanzekile kahle.Kanti iziphathimandla zikamasipala iZululand azitholakalanga ukuphawula ngaloludaba.

Sinyukile isibalo sabaFundi besikole esisha eseMlazi “Bazali sicela nibambisane nesikole, uhulumeni kanye namaphoyisa kungavunyelwa izigebengu.”

TEBOGO SIBISI

uMnuz. Kwazi Mshengu ongungqongqoshe wezemfundo KZN bevula ngokusemthethweni iCannan College eMlazi

KUVULWE ngokusemthethweni isikole esisha eMlazi kwaV esibizwa ngokuthi i Canaan College. Lesi sikole sizimele sivulwe ngokusemthethweni nguNgqongqoshe wezeMfundo Kwa-Zulu-Natali uMnuz. Kwazi Mshengu nobuholi besikole uMnuz. Nhlanhla Khambule. Lesi sikole sizogxila kuzifundo zesimanje zobuchwepheshe. Sithatha abafundi kusuka kwa Grade R kuya kwaGrade 12. Kulo nyaka sinabafundi abangu 700 isibalo sisuka ku 300 eminyakeni edlule. Isasasa libelikhulu kakhulu kulo mcimbi njengoba kunconywe indlela abafundi abahlonipha ngayo nendlela abaziphatha ngayo.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Ekhuluma uNgqongqoshe uMshengu unxuse abazali ukuba baqaphe lesi sikole ezigebengwini. “Bazali sicela nibambisane nesikole, uhulumeni kanye namaphoyisa kungavunyelwa izigebengu zigcweleze zintshontshe izinsiza kusebenza zesikole.” Isikhulu esiphezulu kulesi sikole uMnuz uNhlanhla Khambule uqinisekise abazali ukuthi izingane zabo zisesikoleni esifanelekile ukufeza amaphupho abo ngezingane zabo.” Sinothisha abaqeqeshelwe ukufundisa lezi fundo ezibucayi ezisanda kufakwa njengoba okuningi sekuzokwenziwa ngezobuchwepheshe. Othisha sibaqeqesha njalo emuva kwamaviki ayisithupha ukuze bekwazi ukufundisa ngendlela.”


MASHI 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 5

Lusayinkinga olokufakwa kwamabriji eNanda TEBOGO SIBISI LITHI alisalali nasebesuku iKhansela lakuwadi-wadi 107 uNjabulo “Taa” Mabanga ngenxa yomfula omkhulu ogcwala amanzi owela abafundi abahlala eziMangweni uma beya esikoleni iNhlanhlayethu High School. UMabanga usho lokhu ngesikhathi enenkulumo ekhathekile nephephandaba iSivubela Intuthuko ngenhloso yokuzwa kabanzi ngomsebenzi asewenzele umphakathi selokhu angena kulesi khundla. “Udaba lalomfula ludala kakhulu nami ngalufica luyinkinga okungiphatha kabi kakhulu ukuthi abafundi kubaphoqa ukuthi bakhumule umfaniswano wesikole ukuze bakwazi ukuwela uma uma izimvula zinethe kakhulu,lokho akuyina impilo ngoba kumfundi ongakwazi ukubhukuda kungagcina kuholele ekutheni amuke omfula okuyinto engeyinhle.Umasipala unalo ulwazi ngaloludaba ngoba ngafaka isicelo sokuthi kufakwe ibriji kodwa okwamanje

Umfula okuwela kuwona abafundi uma beya ezikoleni kanye nomphakathi

bekunhanzeki mnyakazo.Sinethembake lokuthi maduze njengoba uMeya ezohambela ewadini udaba lwebriji lungezinye ezizoba seqhulwini ngoba liyadingeka ngokushesha.” Kuchaza uMabanga. UMabanga uqhube ngokuthi naseDikwe kukhalwa esifanayo nakhona kunomfula odinga kufakwe ibriji owelisa amalungu omphakathi kanzima. Oyilungu lo mphakathi uMnuz. Sipho Dludla uthi bahleli lubhojozi ngenxa yalomfula.”Ngithwala kanzima njalo uma kunethe imvula ngoba ngiyaphoqeleka ukuthi ngisuke layikhaya ngiyosiza abafundi ukuze bakwazi ukuwelela ngaphesheya baye esikoleni.Okubuhlungu kakhulu ukuthi kukhona nezingane ezincane ezifunda emazingeni aphansi ezisuke ziwela kulendawo ezinye zize ziphoqeleke ekutheni zilove esikoleni ngenxa yokusabale izimpilo zazo.Siyanxusa umasipala wethu ulusukumele phezulu udaba lokusifakela ibriji ukuze kuzophepha imiphefumulo eminingi.”kusho uDludla.

IQembu lomculo wamaskandi lifuna uxhaso uMasipala wethu waseMandeni uma kukhona imicimbi oyenzayo singavaleleki ngaphandle uma kukhona imicimbi ezindaweni esisondelene nazo ukuze sizokwazi ukuthola amasenti okuthuthukisa umsebenzi wethu.Njengabaculi abasafufusa siyaludinga kakhulu uxhaso ukuze sizokwazi ukuya phambili.”

EBUZWA NGOKUTHI YINI AYENZAYO NGAPHANDLE KOKUCULA UMFANAWOTHANDO UTHE:

TEBOGO SIBISI UMCULI ongowokudabuka endaweni yaseMacambini ngaphansi kawadi-9 kumasipala waseMandeni uBhekabantu Mkhwanazi (24) odume ngelika “Mfanawothando” endimeni yezomculo usekhale ngokuthi ngabe usekude nephupho lakhe kwezomculo ukube uyakuthola ukwesekwa ngendlela efanele. UMfanowothando waqala ukungena kulo mkhakha ngonyaka ka-2009 kodwa wakwazi ukukhipha icwecwe lokuqala ngo2013 ngenxa yezingqinamba ababhekene nazo ngalesosikhathi enye yazo kwaba ukuthi wayenganye umuntu omphethe yonke into ezenzela ngokwakhe. “Ngingene kulo mkhakha womculo kamaskandi ngenxa yothando nekhono ebenginalo kusukela ngisakhula kodwa obekungenza ngigqugquzeleke kakhulu ngigcina ngizibona nginecwecwe lami ukulalela kakhulu iqembu laBafana bakaMgqumeni ebelingenza uthando lokucula luvuseleleke ngasosonke isikhathi.Ziningi kakhulu izingqinamba engibhekane nazo ikakhulukazi kade ngikhipha icwecwe lokuqala elingenzanga ngendlela engangifisa ngayo.Ngecwecwe lami lokuqala angikwazanga ukuliphusha lidayiseke ngendlela efanele futhi langak-

wazi ngisho ukuthola ithuba lokudlalwa emisakazweni ngenxa yokushoda kweminye yemisindo eyenza ingoma izwakale kahle emisakazweni.Ukungenzi kahle kwecwecwe lami lokuqala akungiqedanga amandla ngoba ngakwazi ukuphinde ngikhiphe elinye ngonyaka ka-2018 lona elenze kangcono kakhulu ngoba bese ngithole kubaba wendawo yangasekhaya uMnuz. Benard Ngema owabona ithalente wathembela kumina wabe esengisiza ngokuthi ngiye koqopha estudio esezingeni eliphezulu iStayela Music Production esiseMpangeni umculo wami wakwazi ukungena emisakazweni yemiphakathi KZN,UKhozi kanye nakumabonakude iKZN TV.” Lo mculi uthe ngonyaka odlule ukwazile ukuthola umuntu ozoba iMenenja yakhe uMnuz. Mandla Shandu okuyimanje usebenza ngaphansi wathi ukungena ngaphansi kwakhe kumenze wawubona kakhulu umehluko.”Ukuthola ithuba lokuba ngaphansi kaShandu kungisize ngoba kuyimanje sisenhlelweni zokuthi sifune imigudu elandelwayo ukuze ngikwazi ukuthi ngithole ithuba lokucula uma kukhona imicimbi emkhulu kamaskandi efana noMpucuzeko.Ngiyafisa kakhulu nokuthi sithole ithuba lokuqashwa

“MINA NGIFUNDE AMABANGA APHANSI EKHULULEKANI PRIMARY SCHOOL NGAGCINA ENDONDAKUSUKA SECONDARY SCHOOL NGASE NGIGXILA KAKHULU KWEZOMCULO,NGINOMNTWANA OYEDWA WENTOMBAZANE (3) ENGIMTHANDA NGENHLIZIYO YAMI YONKE,UMA NGINGEKHO ESTUDIO ISIKHATHI NGISICHITHA EJIMINI KANTI NGITHANDA UKUDLA KWESIZULU IKAKHULUKAZI UMA KUYINYAMA YANGAPHAKATHI.”

Kunikelwe ngama laptop ukucija abafundi ngamakhono kwezobuchwepheshe

Injabule ibibhalwe ebusweni kubafundi baseMathubesizwe Senior Secondary School ngenkathi benikelelwa ngama laptops NOKULUNGA MAJOLA

ababemele izwekazi laseNingizimu Africa kwi International Moot Court CompetiKuqhilike izihlathi kubafundi basetion ngama jakhethi kasodolobha (MayorMathubesizwe Senior Secondary School al Jackets) ngokubeka indawo yaseMandengenkathi umasipala waseMandeni ni ebalazweni. Phakathi kwabebehambele ngokubambisana ne Nonortainment lomncimbi kubalwa usodolobha wasebenikela ngama laptop ayishumi kuMandeni ukhansela Thabani Mdlalose, lesikole. Lamalaptops azosiza abafundi usomlomo woMkhandlu, ukhansela ngamakhono obuchwepheshe adingekayo Lawrence Magwaza, usihlalo we-YASC, futhi abahlomise ukuba balungele ubuch- ukhansela UZamile Mdletshe, uDJ Nono wepheshe be Fourth Industrial Revolution nomlingisi uMnuz Muzi Mthabela (owa(4IR). Kulomncimbi kubuye kwahlonish- ziwa ngo Duma emdlalweni kamabonwa abafundi abangaphansi kwalomasipala akude Isibaya).

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


IKHASI 6

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

MASHI 2020

Balugubhe ezikoleni olwezithandani abePhephandaba lo mphakathi

Abafundi besikole iNhlanhlayethu High School abahlomule ngezikhwama zokuphatha izincwadi kanye namaqabelo amantombazane SKHUMBUZO NZUZA KUBE yinjabulo yodwa abafundi besikole iNhlanhlayethu High School ngesikhathi ithimba lephephandaba lom phakathi iSivubela Intuthuko lihambele kule sikole ngehloso yokuzogubha usuku lwezithandani (Valentine’s Day)ngokuzobapha izikhwama zokufaka izincwadi kanye namaqabelo njengezipho.Le sikole singezinye ezihambe phambili kwimiphumela kamatikuletsheni wangonyaka odlule sathola u-100% UThishanhloko walesikole uMnuz. ..Sibaya uthe babonga kakhulu abakwenzelwe yileli phand-

aba.”Sibonga kakhulu esikwenzelwe yiphephandaba lo mphakathi elikhethe ukuzogubha nathi usuku olugqugquzela ukuthandana.Ziningi kakhulu izinselelo esibhekana nazo singothisha ngabafundi abaswele okugcina kusiphoqa kuthi sidlale indima yokuba abazali ukuze nabo abafundi bezozizwa benesithunzi esikoleni.Siyanxusa nezinkampani ezizimele ukuthi ziphonse isandla esivivaneni nanoma ingani engaba usizo kubafundi ngoba lokho kusilekelela kakhulu ukuhlonza labobafundi abaphuma emndeni eswele bese bekwazi ukusizakala ngendlela efanele.”Kusho USibaya

Umphathi weSivubela Intuthuko kanye noKhansela uThandanani Taa Mabanga Kusenjalo uMphathi waleli phepha uNkk. Makhosi Mngoma uthe lokhu abakwenzayo kungezinye zezinhlelo zonyaka zephepha.”Njengoba siyiphephandaba lo mphakathi sinenkolelo yokuthi kumele senze noma sibe nezinhlelo ezisiza umphakathi,lokhu esikwenze eNhlanhlayethu kungezinye zezinhlelo esizenza minyaka yonke lakhona sisuke sikhombisa uthando kanye nokugqugquzela ukuthula nokuzwana ezikoleni nasemphakathini.Imvamisa sinikela ngemifaniswano kanye nangezicathulo kodwa kulo nyaka sinqume ukuthi sinikele ngezikhwama zokuphatha izincwadi

kanye nangamaqabelo amantombazane ngoba siyakuqonda ukuthi kunabafundi abagcina bephatha ngoplastiki ngenxa yokuswela kanti abamantombazane bona bagcina belova ezikoleni ngoba beswele izinto abangazisebenzisa uma besezinsukwini zabo.Asigcinileke ukuhambela eNanda kodwa sisazoya nasemalokishini afana noMlazi,KwaMashu kanye nasezikoleni ezingaphansi kwesiFunda iLembe.”Kusho uMngoma. Abafundi abahlomulile bazwakalise okukhulu ukubonga ngabakutholile ngenyanga yezothando.

Sikwethulela ingosi entsha yezama bhizinisi “Umongameli Cyril Ramaphosa uphinde wabalula uhlelo olubizwa nge Presidential Youth Employment Intervention – oluzosiza ukwandisa amathuba emisebenzi kwiminyanka emihlanu elandelayo.”

Sinentokozo ukwethula ingosi ekhuluma ngezamabhizinisi Kanye Nezomnotho. Lengosi esiyithulelwa nguMnuz Nhlanhla Simelane oneziqu zemfundo ephakeme kwezomnotho kanye namabhisisini , abuye abe ngumsunguli ongumqondisi weSibayeskhulu Holdings (Pty) Ltd. Lengosi ifika ngalesikhathi lapho Ningizimu Africa Idinga amathuba emsebenzi Kanye nesimo somnotho esingesihle. Lengosi izokhuluma kakhulu mayelana nabafisa ukuqala amabhizinisi nokuthuthukisa osomabhizinisi abasafufusa iphinde ikhulume ngemigomo yezamabhizinisi Kanye

nangokuhlaziya isimo somnotho wezwe. Ngomhlaka 13 February 2020, Umengameli Cyril Ramaphosa ethula inkulumo yezwe uveze isimo esingesihle sabantu abasha abangasebeni ababalelwa ku 29.1 % phesenti. Umongameli Cyril Ramaphosa uphinde wabalula uhlelo olubizwa nge Presidential Youth Employment Intervention – oluzosiza ukwandisa amathuba emisebenzi kwiminyanka emihlanu elandelayo. Umengameli ubalule ukuthi Nayional Youth Development Agency Kanye Nomnyango wezamabhizinisi uzonikezela ngezimali zokufukula osomabhizinizi

abasakhula Kanye nokubathuthukisa ababalelwa ku 1 000 esikhathini esizinsuku ezingu 100. Eminyakeni emithtathu kuyobe sekusizakele abantu abasha ababalelwa ku 100,000 abango somabhizinisi abancane. Eminyakeni emihlanu ezayo Industrial Development Corporation izoqinisekisa ukuthuthukisa amabhizinisi abantu besimame ngemali elinganiselwa ku R10 Billion. Emva kwenkulumo kaMengameli kuyaye kulandele ekagqogqoshe wezimali uTito Mboweni, achaze ukuthi izinhlelo zikahu-

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

lumeni zizokwabelwa kanjani izimali .Budget kuba uhlelo lonyaka owodwa. Iminyango kahulumeni ilapho ithola mayelana nemali ezoyisebenzisa ukuyisa Intuthuko kubantu. Lengosi izovubela Intuthuko yosomabhizini ukuthu babenolwazi oluzobathuthukisa ekuqaleni nasekuthuthukiseni amabhisinisi . Nhlanhla Simelane Cell 083 708 0930 WhatsApp: 083 708 0930 Email Simelaneln@gmail.com


MASHI 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

uMhlathuze uphendule izikhalo zabase-Ntambanana

IKHASI 7

SIVUBELA Intuthuko ITHIMBA LEPHEPHA

>> UMHLELI MAKHOSI MNGOMA makhosi@sivubelaintuthuko.co.za 083 618 4252 MAKHOSI MNGOMA IMEYA yomasipala uMhlathuze enyakatho nesifundazwe iKwaZulu Natal uMduduzi Mhlongo iphendule izikhalo zomphakathi waseNtambanana oziveze emva kombhikisho. IMeya ihambisana nesekela layo uDudu Sibiya Kanye noSomlomo bavakashele lomphakathi ngesikhathi ubhikisha bamukela uhlu kwezikhalo zawo bathembisa ukubuyela kuwe esikhathini esjngangeviki njengoba begcine bebuyile nezimpendulo. UNjomane uhambele kulendawo ekuWard 33 ukuzocacisa ngezikhalo ebezivezwe umphakathi. KUHLELO LOKUHLALISWA KWABANTU IMeya ikubeke ngaphandle kokungabaza ukuthi kunezindlu ezilinganiselwa ku-1500 ezizokwakhiwa kumphakathi wakwaLuwamba Kanti nohlelo lwazo seluqalile ukuhlelwa. “Uhulumeni uzibophezele ukuqhubeka nokwakha izindlu ezindaweni zasemakhaya. Sibambe imihlangani eminingi noMnyango wezokuHlaliswa kwabantu esifundazweni savumelana ngokuqhubeka naloluhlelo. Uhlelo olulandelayo luzolandelwa yikomiti leProject Steering Committee , Kanti kulolu hlelo akekho ozoba nezwi kwa-

bazohlomula kodwa lokho kuzokwenziwa yikomiti uqobo lwalo,” kuchaza uMhlongo. IZINDLU ZIKA-SUKUMA SAKHE UNjomane uchaze kabanzi ngohlelo luka-Operation Sukuma Sakhe (OSS) lokuhlonza imindeni ezohlomula ngezindlu nolwenziwa ngonyaka ka-2015 kanti eminye imizi kwagcina zingazange ziqedwe izindlu. “Lolu daba selulungisiwe izinhlaka ezithintekayo Kanti seluqhubeka ngendlela. Lolu uhlelo lwesikhashana lokusiza leyomindeni eswele isalinde izindlu ezizokwakhiwa eLuwamba. Abahlomula baqokwa ngaphansi kohlelo lwa-OSS kusawumasipala iNtambanana,” kuchaza Mhlongo. UKWAKHIWA KOMGWAQO U-P700 Lapha umphakathi uchazelwe ngokusukuma kwamasipala ukuxoxisana boMnyango wezokuThutha ukuze uthole incazelo ngalomgwaqo uP700 ohlanganisa uLundi Kanye neMpangeni. “ Umbiko esiwutholile ukuthi kunezinselelo zokusebenza eziphazamisa lolu hlelo kodwa umnyango usesinhlelweni zokulungisa lokho ngokubambisana namaKhosi amabili. Sizosiqapha isimo singenelele lapho kufanele khona,” Uphinde wachaza ukuthi banezinhlelo zokulungisa amabhuloho, Kanye nemigwaqo engenela emakhaya bazoqhubeka bayiphale ngogan-

da Ganda njengoba kwenzekile ngenyanga uZibandlela noMasingana. Ngenxa yezimvula imigwaqo igcine igugulekile. “Sikhulumile nababhekele ezemigwaqo bazophinde babuyele kulendawo ukuzobheka isimo,” kuchaza uMhlongo . OHLELWENI LWAMANZI UMhlongo uchaze ngezinkinga zamanzi kuleWard engenye yezindawo ezisemakhaya, wachaza nokuthi kusukela ngonyaka ka2016 umaspala usufake amathangi wamanzi angu-162 nagcwaliswa amaloli amathathu njalo, ngaphandle uma isimo sezulu singavumi. “Uhlelo lokuphakelwa kwamanzi seluqalile kuWard 31,32 Kanye no-33. Umasipala usuqalile ukwakha iziphehlimanzi ezizophakela amanzi kusuka eMpangeni naseNseleni. Phezu kwalokho kunethimba eliphenya ngezindlela zokulungisa kwezizinda zamanzi ezindala nezasala zingasasebenzi . Kanti okunye uMeya aphawule kukho kube udaba oluthinta amaLambu amakhulu nokulindeleke ukuthi-Eskom uwafake ugesi ukuze aqale ukukhanyiswa. Kanti umnqamulajuqu walokhu kubekelwe inyanga uMashi. Amalunga omphakathi aphinde athola nethuba lokuzibuzela imibuzo.

Usomabhizinisi osemncane uhlanganise osomabhizinisi kwezobumnandi

Esithombeni: USihle Ozz Blue no Nksz Thobeka Mkhize emcimbini obuhlanganise osomabhizinisi kanye no-DJ eThe Plugin eClermont. LETHIWE KHUZWAYO Ube yimpumelelo umcimbi obuhlelelwe ukubungaza usuku lwezithandani ngokuhlanganisa osomabhizinisi kwezobumnandi endaweni yokuzithokozisa

i-The Plugin eClermont entshonalanga yeTheku. USihle Msomi owaziwa ngoOzz Blue kuleli lokishi uhlele lo mcimbi awubize nge-Valentines Masquerade ukuhlanganisa o-DJ kanye nosomabhizinisi abancane. Lo somabhizinisi unenkampani yakhe ebizwa ngeZikhali Creations eyenza imicimbi aphinde wathi iqale ukusebenza ngonyaka odlule. Inkampani yakhe uyichaze njenge nkampani eyenza izinto eziningi nezahlukahlukene okuyizona esezimbeke kuleli zinga asekulona njengamanje. I-Valentines Day ibizwa ngosuku lwezithandani kodwa lokho akuchazi ukuthi olwabantu ababili kuphela abanobudlelwano obuthile. Noma ngubani engalubungaza lolu suku nabantu abathandayo, ngendlela ayithandayo uma enesifiso salokho. U-Ozz Blue ukhethe ukubungaza lolu suku emphakathini akhulele kuwona ukukhombisa uthando nezifiso ezinhle anazo ngawo. Njengoba lo mcimbi bekungowoku gqamisa imfashini, ukudla kanye nempilo yamanje, iMamis Kitchen ibikhona ipheke izidlo eziconsisa amathe. Kwezemfashini, bekukhona inkampani yakwaSlingshot engenye yemfashini edla ubhedu emalokishini aseClermont

nakhelene nayo. “Njengo mhleli walo mcimbi ngkhokhele o-DJ ebengibacelile ukuba bafike bezonandisa ngaphinde ngacela nabanye osomabhizinisi ukuba bafike ukuzozikhangisa nokuzohweba kulo mcimbi.” “Ngikhulele lapha eClermont nami kuningi engikufunde ngale ndawo kangangokuba ngiyabazi ukuthi yini evame ukubahlaba umxhwele uma kuziwa kwezobumnandi.” “Kumina kulula ukwazi ukuthi kumele ngiqokelele imali engakanani ukuthi ngenze umcimbi ube yimpumelelo nokuthi ngizuze kuwona.” “Yize emaningi amabhizinisi kule ndawo enza into efana nayo le engiyenzayo, kodwa mina ukuzethemba kwami yikona okwenza nabantu bayithembe imicimbi engisuke ngibamemela kuyona.” “Abangani nomndeni wami bangisize kakhulu emcimbini emningi esengiyenzile kusukela ngonyaka odlule.’ “Yingakho ngihlanganise umcimbi ofana nalo ngaphinde ngasebenzisana kakhulu nosomabhizinisi balapha.” Kuqhuba u-Ozz Blue Uphethe ngokubonga kakhulu bonke abamsizayo uma enza imcimbi efana nale. Uthe abangani nomndeni wakhe badlale indima ekuqhubeni leli bhizinisi.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

>> IPHINI LOMHLELI TEBOGO SIBISI tebogo@sivubelaintuthuko.co.za 079 245 8462

>> INTATHELI YEZEMIDLALO THABANI MAPHUMULO trmaphumulo@gmail.com 081 794 8407

>> GRAPHIC DESIGNER AND LAYOUT LINDA MAZIBUKO trusouth1@gmail.com 076 4847 269 IWEBSITE YETHU www.sivubelaintuthuko.co.za FACEBOOK sivubela intuthuko TWITTER @sivubela intuthuko INSTAGRAM sivubelaintuthuko IKHELI LETHU B 33 Ten Acre Thembeni Groutville P.O Box 4473, Stanger4450, 270 Stamford Hill Road Unit 1 Morningside, Durban, 4000 UMA UFUNA UKUKHANGISA KULELIPHEPHANDABA , SHAYELA 031 822 2602/083 618 4252


IKHASI 8

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

MASHI 2020

Sivubela Intuthuko

EZEMIDLALO Umgadli we-Arrows uthipha uMhango kowokushaya amagoli THABANI MAPHUMULO

UMgadli wePirates uGabadinho Mhango osazihola phambili ngamagoli

UMGADLI weGolden Arrows odabuka ezweni laseZimbabwe uKnox Mtizwa ubona umgadli we-Orlando Pirates uGabadinho Mhango ezokhala amuke nimklomelo wokuba umshayimagoli ovelele ku-Absa Premiership. Lo mdlali uthi abadlali abagijima kuBucs bayakwazi ukuphasa amabhola ngobunyonico yingakho ebona kuzobanzima kwabanye abagadli ukuthi bamfice ngokuhlohla amagoli. UMtizwa uthi okumele kwenziwe uMhango ukuthi ahlale ebhokisini ngaso sonke isikhathi alindele amabhola kozakwabo. “OkwaMhango ukuthi ahlale ebhokisini alindele amabhola zokwazi ukushaya amagoli

ngoba akufani nakuthina lapho kumele silande amabhola,” Lo mgadli we-Arrows uthi ubona kuzoba umqansa ukubamba uMhango . “ Usefomini futhi udlalela iqembu elikhulu yingakho kuzobanzima. Kuthina kumele sisebenze kanzima ukuze sikwazi ukushaya amagoli. KuBucs kukhona oLorch , Pule abakwazi ukwenza izinto zenzeke,” kusho Mtizwa. UMtizwa uveze ukuthi basebenza ngokuzikhandla ukuze okungenani bakwazi ukungena kuTop 8. Lo mgadli odabuka ezweni laseMlawi usehlohle amagoli ayishumi nane kanti ul;andelwa uPeter Shalile weHighlands Park ngamagoli ayishumi nambili.

Uyashuba umbango kwi-Gladafrica

Abadlali beSwallows FC elele indawo yesithathu kuGladAfrica Championship THABANI MAPHUMULO UYANGOKUSHUBA umbango wesicoco seligi kwisigaba seGladAfrica Championship njengoba sekusele imidlalo engaphansi kweyishumi ngaphambi kokuba kuphothulwe isizini.

Kubonakala wonke amaqembu ezimisele kwazise amanye avika izembe kanjalo amanye afuna ukukhushulelwa esigabeni se-Absa Premiership nokuyisigaba esikhulu sebhola kuleli. Iqembu elisazihola phambili i-Ajax Cape Town isanda kuhlukana nomqeqeshi wayo u-Andries Ulderink

libonakala lizimisele ngokunyukela ku-Absa Premiership njengoba linamaphuzu angu-42 emva kwemidlalo engu-21. Endaweni yesibili kuhleli uThongathi FC oluthwele amathemba esifundazwe iKwaZulu Natal. AmaCane Cutters asanda kuqinisa isikwati sawo ngabadlali abanamva okuhlanganisa uSiyabonga Nomvethe, Thanduyise Khuboni, Kanye noSiyanda Zwane. Bobathathu labadlali abadingi ukuchazwa njengoba aziwa amagalelo abo ebholeni naku-Absa Premiership. uThongathi lunamaphuzu angu-37 emva kwemidlalo engu-21. Elinye iqembu elikhombisa ukubuya ngamandla iSwallows FC esidlale cishe imidlalo eyisithupha lwayinqoba yonke nokwenza lulingane ngamaphuzu noThongathi FC ngamaphuzu angu-37 emva kwemidlalo engu-21. Amanye amaqembu aKwaZulu Natal nokubonakala emancane amathuba okuthi akwazi ukungena kumaPlay Offs singabala iRichards Bay FC ehleli endaweni yeshumi , Real Kings ehleli endaweni yesishiyagalombili. Kanti iRoyal Eagles ilengelwa yizembe njengoba uhleli emsileni ngamaphuzu angu-15 emva kwemidlalo engu-21.

South African Premier Division standings

29 Saturday 2020, 15:30 Golden Arrows VS Highlands Park 29 Saturday 2020, 15:30 Orlando Pirates VS Kaizer Chiefs 29 Saturday 2020, 18:00 Chippa United VS Amazulu 29 Saturday 2020, 20:15 SuperSport United VS Bidvest Wits

031 828 0433 / 082 597 6669

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.