Sivubela Intuthuko newspaper

Page 1

SIVUBELA Intuthuko

ADVERTISING: (031) 8222 602 JANUWARY 2020

ITheku libungaza unyaka omusha nezivakashi

FACEBOOK: SIVUBELA INTUTHUKO

LIMAHHALA

SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

2

3

Kucijwe umphakathi ngokongiwa kwemali

USHICILELO 41

8

Ompetha beNkandla Mayoral Cup bakuphindile lokho

Owe-Kings uvumbuke kwi-Richards Bay F.C

8

Kungqongqiswe izimoto zoMkhandlu udaba kukhasi: 3

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


IKHASI 2

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

JANUWARY 2020

ITheku libungaza unyaka omusha nezivakashi “Unyaka ka-2020 uyajabulisa kulelidolobha njengoba kungenwa kwiminyaka eyikhulu. Le nhlangano ifisa ukuthuthukisa izingqalazzinda kuleli dolobha, kusukela kwizindawo zokuvakasha, izindawo zokudla kanye nezinye eziningi,”

uMeya weTheku umhlonishwa uMxolisi Kaunda UMYALEZO kaMeya weTheku umhlonishwa uMxolisi Kaunda awubhekise kwizivakashi nakubahlali baleli dolobha. “Ukuqala konyaka omusha ezinye zezinto ezithandwa abaningi kuleli dolobha nasemhlabeni wonkana. Samukelaeunyaka omusha ngomcimbi wezi qhumane kanye neminye imicimbi ehlukene, kodwa esikuthanda kakhulu ngonyaka omusha ukuthi isiqalo sezinto ezintsha uma siwubungaza nomhlaba wonke jikelele njengoba kusuke kuyisiqalo sezinto ezintsha kuwona wonke umuntu,” Lesikhathi siphinde sinike abantu ithuba lokuqala kabusha nokufunda kwabakude kunabo. Sifisela abahlali bakulelidolobha nezivakashi unyaka omusha onezilokotho ezinhle siyiTheku sigqugquzela injabulo namasiko namagugu. Sinifisela unyaka omusha wokuhlala ngokukhululekile nokuhamba ngokufanele kuhambo lwenu olusha. ITheku indawo efudumele yokuba kuyona. Kusukela mhla 1 kuZibandle ku2019 kuya kumhlaka 16 kuMasingana ku2020 bangaphezulu kwesigidi abavakashi okuhlanganisa nabangu-250 000 abatheleka kuleli dolobha nsukuzonke, bachitha imali elinganiselwa ku-R4,7 bllion wezigidigidi zmarandi , kanti kuphinde kudaleke namathuba omsebenzi izindawo zokulala zigcwala ngokwedlulele. Okunye okuhambe phambili kulonyaka kube ukudingeka kwamabhasi eRickshaw nokuphjoqeleke ukuthi anyukele kwamane

ngosuku. Bangaphezulu kuka-180 abantu abebegibela ngosuku nobekuphoqa ukuba sinyuke njalko isibalo sawo ngosuku, ukuqinisekisa ukuthi abavakashi bayakwazi ukujabulela lomkhiqizo ngesikhathi sabio sokuphumula. Izindawo zokudla zasemalokishini zonke zibike isikhathi samaholidi esiyimpumelelo. IMax’s Lifestyle ibike ukuthi yenze inzuzo ngokuphindwe kathathu uma uqhathanisa nonyaka owedlule ngenxa yokulungiswa kwayo lendawo. Bamukele izivakashi ezilinganiselwa ku-95 000 ngenyanga kaZibandlela. Kwinkulumo nomnikazi walendawo uMax Mqadi uveze uikuthi wamukele izivakashi ezisuka emazweni omhlaba kanye nasezwenikazi i-Afrika abavela kumazwe afana noJamaica, Germany, America, Botswana, Uganda kanye neNigeria. Uphinde waveza ukuthi baphinde bamnukela namabhasi asuka ezifundazweni ezifana noFree State, Limpopo kanye neMpumalanga. Abanikazi bamabhizinisi afana nalawa emalokishini babike ukuthi lonyaka ubunamaholidi amahle kakhulu uma uqhathanisa nonyaka owedlule. Indawo entsha yokungcebeleka ebhishi isize kakhulu ukunyusa isibalo sabantu abahambela emabhishi njengoba belinganiselwa ku-5 000 abantu abebehambela eBeacvhfront ngosuku. Le ndawo elungiuswe yabasezingeni ihanjelwa cishe abantu abangu-1500 abasuka emazweni

omhlaba abasuke beze kuleli dolobha. Enyakatho neTheku endaweni yamagugu eNanda yamukele izivakashi ezivela emazweni ase-Afrika naseGauteng okuhlanganisa nabamabandla ahlukene. Izindawo zokuhlala eMhlanga zibike ukuthi zibe namaholidi amahle njengoba u-80% wazo ubugcwele uphuphuma. Kanjalo naseNingizimu neTheku koManzimtoti nakhona kubike amaholidi asezingeniu njengoba izindawo zakhona zokulala bezigcwele njengoba kunamabhishi aheha izivakashi okuyiPipeline kanye neWinklespruit. ENtshonalanga, Phezulu iveze ukuthi ihanjelwe izivakashi ezisuka eGermany, India kanye nase-USA kanjalo nabasondelelene nalendawo okuhlanganisa nabaseGauteng. Balinganiselwa ku-15 abasuka emazweni omhlaba abamukelwe eValley of Thousands Hills. IThe Walk kanye nePhezulu babike ukuthi zilinganiselwa ku-25 697 izivakashi ezisuka emazweni omhlaba abasalindeleke ukuthi batheleke kulendawo ngesikhathi samaholidi. Osomabhizinisi abakwezokuvakasha bazwakalise ukujabula okukhulu ngamaholidi alonyaka njengoba bethi abencono kakhulu uma uwaqhathanisa nonyaka ka-2018. USihlalo weSATSAKZN uthe,” Ngiyathemba ukuthi wonke umsebenzi owenziwe ukuthuthukisa kwengqalasizinda ezindaweni zeTheku kubenomthelela kwizivakashi, njengoba izivakashi zikhombise ukuzithanda kakhulu. Imboni kanye nomphakathi kumele basebenze ngokubambisa ukuthuthukisa idolobha iTheku ukuze likwazi ukuheha izivakashi ezisuka emazweni omhlaba.. Siyazi sinedolobha elihle, okumele sikwenze kumele sidlulise lowomyalezo kubantu,” esho. USamantha Croft onguMphathi Jikelele eLangeni kanye naseMaharani Hotel (Tsogo Sun) uthe,” Ujabule ngokulungiswa kwendawo yokungcebneleka eBeachfront kanye nomsebenzi wamaphoyisa SAPS, Metro,DSW kanye nazo zonke izinhlaka ezingaphansi kwamasipala iTheku. Imithetho ebekwe umasipala ibe wusizo ekugcineni amabhishi ahlale ehlanzekile. Sithole inqwaba yezincomo kwizivakashi zethu kulonyaka,” esho. UMnumzane Chris Phile onguSihlalo weClermont Tourism uveze ukuthi,” Ngokubambisana nezinhlaka sifisa ukugqugquzela unyaka wokubambisana kuzona zonke izinhlaka kwezokuvakasha kusukela kuzwelonke,kuya kwisifundazwe kanye

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

nasedolobheni iTheku ukuba sifinyeleka kwisifiso esisodwa sokuheha izivakashi. ITheku linamandla okuba idolobha elisiezingeni umhlaba wonkana,’ esho. UKatie Friedman onguMqondisi kwezokuMaketha kwaUrban Lime Property uthe,” Unyaka ka-2020 uyajabulisa kulelidolobha njengoba kungenwa kwiminyaka eyikhulu. Le nhlangano ifisa ukuthuthukisa izingqalazzinda kuleli dolobha, kusukela kwizindawo zokuvakasha, izindawo zokudla kanye nezinye eziningi,” esho. UMel Ntombela onguSihlalo weNanda Tourism uthe,” Ngaphansi kweWozaeNanda sifisa ukubonga izivakashi ngokukhetha lendawo kulamaholidi okuphela konyaka. Kulonyaka omusha sinifisela impilo enhle, impumelelo sinilindele ngonyaka ozayo kwidolobha lethu elifudunmele,” esho. UPeter Rose onguSihlalo woMhlanga Tourism uthe,” Siwumhlanga Tourism sibe nam,aholidi amahle kakhulu kulokhu kuphela konyaka emabhishi ethu. Bekunenqwaba yabaxhasi nemidlalo enhlobonhlobo yobumnandi kumabhishi ethu. Isimo sezulu esihle kanye nomncintiswano kazime uMr & Miss UMhlanga ubusezingeni eliphezulu. Umcimbi weCarols ubesezingeni eliphezulu kanye nezipho eziningi okunikelwe ngazo. Amabhishi abegcwele ephuphuma ngosuku lokuhlukaniswa konyaka,” esho UNkosikazie Mntungwa oyiSekela leNhloko kuDurban Tourism uthe,” Unyaka ka-2019 ubunezinselelo eziningi but ube nezithelo ezinhle kulelidolobha. Ukukhiwa kabusha kwendawo yokungcebeleka ebhishi kufakele inselelo nabatshali zimali ukuze kube nendawo enhle yomphakathi, ukuze idolobha lisebesezingeni. Ngalamaholidi sikwazile ukufeza ebesikufuna. Asisebenze ngokubambisa ukwenza idolobha iTheku kube ngelihamba phambili, sinifisela zonke izivakashi unyaka omusha onentokozo.” esho. Umyalezo ovela kwiSekela loMphathi weDolobha ngaphansi koMkhakha wezokuThuthukiswa koMnotho uPhilip Sithole uthe,” Unyaka omusha kuthi ufana nencwadi entsha edinga ukubhalwa. Sikwazi ukusiza ukubhala lokho inqobo nje uma nihlele ngendlela kumaholidi enu kulelidolobha, njengoba sinamukela ukuba namukela noshintsho,” esho.


JANUWARY 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 3

Kushe izimoto ezine zoMkhandlu

MAKHOSI MNGOMA

IMEYA kuMasipala iNdwedwe Local Municipality ithi ijabhile ngesehlakalo sokusha kwezimoto zomkhandlu emagcekeni kamasipala. Ngokombiko wabaqaphi abagada kwamasipala, bathi kubonakale ngekloba lomlimo ugqamuka emotweni yomkhandlu e-parking lot kwabe sekokheleka nezinye ngokushesha, zasha ubuhanguhangu. Kube sekubizwa abezicishamlimo nabezimo eziphuthumayo ukuze kunqandwe umonakalo.

Okwamanje zine (4) izimoto ezishile kulesi sigameko, ezimbili zazo zishe zangqongqa. “Sidangele kakhulu ngalesi sigameko ngoba sizothikameza ukuyiswa kwentuthuko kubantu uma amanye amathuluzi esisebenza ngawo eselimele. Sesibikile kwabomthetho ngalesi sehlo, siyathemba ukuthi bazocubungula bathole ukuthi senzeke kanjani lesi sigameko nokuthi yini engenziwa ukugwema ukuthi into esibuyisela emuva njengalena iphinde yenzeke nangomuso,” kusho uCllr Nkosinathi Chili.

Kucijwe umphakathi ngokongiwa kwemali

Esithombeni: uNkk Khanyi Gumede onguSihlalo weAfrican National Congress kuWadi 4. LETHIWE KHUZWAYO Bahlabeke umxhwele abaholi bendawo namalunga omphakathi ngemisebenzi yeNgomuso Burial Society and Investment Stokvel ngesikhathi yethula izinhlelo zayo eNondlini Hall kuWadi 4 eNchanga. Izihambeli ezihlabeke umxhwele kulo mcimbi bekungu Mfundisi Z. Ngcobo obemele abaholi bamabandla endawo, uNkk Khanyi Gumede onguSihlalo wegatsha le African National Congress kuWadi 4, umphakathi obuphume ngobuningi bawo wase ndaweni yase Ferdville khona eNchanga. UMnu Timothy Khumalo oyilunga leNgomuso uchaze Ingomuso Burial Society njengo masingcwabisane osungulwe umphakathi wase Ntshanga ngenhloso yokulekela ukufihla ngesizotha amalunga omphakathi. “Ngikhuthaza umphakathi ukuthi noma ungasajoyinanga

Ingomuso kodwa kubalulekile ujoyina umasingcwabisane,” “Ave kubuhlungu ukubona umndeni uba nenkinga uma sekumele ufihle ilungu lomndeni njengoba ukufa kufika kungalindelekile,” “Umphakathi sisebenzisana kahle nawo ngoba siyazazi izindleko zomuntu omnyama uma kunomngcwabo,” kuchaza uKhumalo. Uqhube wathi, sebephinde benza izinhlelo zokusiza umphakathi. Kulezi zinhlelo ubale uhlelo lokuthuthukiswa intsha yendawo olubizwa nge-Youth Leadership Development Programme. Uchaze lolu hlelo njengolwakha abaholi abasebancane ngokubasebenzisa kanye nabo. Uthe banentsha eyenze izifundo zokubalwa kwezimali okuwumsebenzi ongeke wenziwe yibona njengabantu asebekhulile ngakho-ke le misebenzi bayinika intsha yomphakathi.“Ingomuso isinamahhovisi amathathu kule ndawo okuqashwe aban-

Esithombeni: Ingxenye yamalunga eNgomuso Burial Society and Community Investment Stokvel. tu bakuyo le ndawo ukuba basebenze kuwona,” kuqhuba uKhumalo. iNgomuso liphinde libe nohlelo lokuthuthukiswa amabandla okuwuhlelo olulekelela ekukha dweni kwemithetho sisekelo nokubhaliswa kwamabandla baphinde babe nohlelo lokubeka imali olwaziwa ngesitokofela. UMnu Bheki Dlamini naye oyelinye lamalungu eNgomuso uthe iNgomuso Investment Stokvel isikhulile ngokwezinga. “Kulo nyaka isitokofela sethu sikwazile ukubeka imali engango R1.2 million isebenzisana nebhange lakwa Bidvest Bank.“Lokhu kukhombise ukuthi lolu siko lokubeka imali iphinde ikhuliswe ukuze lusetshenziselwe izidingo ezibalulekile luyaqhubeka,” “Yinhle kakhulu into eyenziwa Ingomuso besebenzisana nomphakathi wase Ntshanga ukulwa nobubha,” kusho uNkk Gumede. Uqhube wathi, “Kuyajabulisa ukubona

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

umphakathi ulekelelana ungathembeli oxhasweni luka Hulumeni uphinde ugqugquzelane ubeke imali noma ngabe incane kangakanani. “Engathi umphakathi ungaqhubeka nezitokofela kanye no masingcwabisane uzihlinzekele ingomuso lawo,” “Singabantu abamnyama uma singaqala sizifundise ukonga imali ikakhulukazi siyongela izingane zethu kusukela zizalwa kuningi okungashintsha. Angeke sizithole sesiboleka izimali uma izingane sekumele ziqale ziyofunda emabangeni aphakeme. Singakwazi ukuthi sigweme ukugxeka uHulumeni uma sekwenzeka umfundi engalutholi uxhaso,” uchaze kanje. Abafuna ukwazi kabanzi ngeNgomuso bengaxhumana nabo kulezi zinombolo 0838923305/ 0828580907 noma bavakashele emahhovisi abo eFredville Supply Store, KwaDlamini eduze base Ferdville Clinic eNchanga.


IKHASI 4

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

JANUWARY 2020

Ihhovisi lesishayamthetho eMandeni nezinhlelo zikakhisimusi

Osesithombeni ilungu lesishasyamthetho u Makhosi Zungu elingaphansi kwaseMandeni MAKHOSI MNGOMA IHHOVISI lelilunga leSishayamthetho sakwaZulu Natal lizibandakanye nezinhlelo zikakhisimusi ngenkathi lin-

kela ngamaphasela Kuala kubantwana abaphethe amakhaya njengohlelo lwehhovisi. Inhloso yalolu hlelo bekuwukuletha injabulo kubantwana abahlonzwa njengemindeni eswele njengoba bekuyizinsuku zikaKhisimusi.Ihhovisi lihlonze imindeni

eyi-18 okuyiyona ehlomulile neholwa intsha. Lolu hlelo belwengamelwe uMakhosi Zungu oyilunga lesishayamthetho elithunyelwe ihhovisi elingaphansi kwaseMandeni, ugqugquzele intsha ibe ushintsho emphakathini nabafisa ukulubona.

Uphinde wagcizelela ubudlelwano obuhle behhovisi kanye nezinhlaka ezahlukene zikahulumeni. Lo mcimbi ubuhanjelwe izinhlaka ezahlukene okuhlanganisa abasuka kumasipala waseMandeni, Nonotainment kanye neMondise Foundation, lolu hlelo luphinde lwatholwa ukunconywa okukhulu uSomlomo kamasipala uBL Magwaza ogcizelele ukuthi labo abahlomulile bawasebenzisa amahhovisi kamasipala ukuze bathole ulwazi olwanele lukaHulumeni. Lolu hlelo lwesekwe nayizinhlaka zepolitiki zikaKhongolose uNobhala uBheki Ndlovu onxuse intsha ukuba isukume yenze okuthile kanjalo nehhovisi lenze okuthile emphakathini. Lo mcimbi uphinde wathola ukwesekwa nawuphiko lwentsha lukaKhongolose ngaphansi kwaNobhala u-Ayanda Ngema naye uphinde wagqugquzela intsha ukuba izibandakanye kwezepolitiki iphinde yenze okuthile ngezinqumo ezibathintayo. Uphinde wanxusa ukuba kubenokwenziwa nguHulumeni ngokohlelo lwezimboni zakwaSithembe.

Uyazigqaja ngokufakwa kukagesi uMeya

TEBOGO SIBISI UMEYA kumasipala waseNkandla uKhansela Thamsanqa Ntuli uthi ayikho into emthokozisa njengokubona zincipha izindawo ezingenawo ugesi ngaphansi kamasipala awuholayo.Ekhuluma nephephandaba iSivubela Intuthuko ngesikhathi benenkulumo ekhethekile ngenhloso yokubheka izinhlelo zalomasipala ebeziqhubeka kulonyaka umeya ukubeke kwacaca ukuthi zilinganiselwa ku 95% izindawo esezifakelwe ugesi

kanti u5% basezinhlelweni zokuthi nazo zikhanye maduze. “Ziningi kakhulu izinhlelo ebesinazo ezibe yimpumelelo kulonyaka yize ezinye zazo beziqhubeka kulezo ebese zinesikhathi zaqala.Udaba lokufakwa kukagesi yilona obelusabonakala luhamba kahle.Ekuqaleni konyaka silwenzile uhlelo lokuxhasa abafundi ngemifundaze ukuze bezoqhuba izifundo zabo ezikhungweni zemfundo ephakeme futhi nakulonyaka ozayo sizivulile izandla ikakhulukazi kulabo abazophasa kahle kodwa bengabi namandla okuqhuba

izifundo zabo.Sibe nezinhlelo lakhona besakha kabusha amahholo amaKhosi saphinde sawavula ngokusemthethweni kanye nesikhungo sokufaka izicelo zokuba nezincwadi zokushayela,Sizigqaja kakhulu ngesikwenzile kulonyaka ngoba besingagcini ngokuthuthukisa umasipala wethu kodwa lokho bekuphinde kudale namathuba emisebenzi ahlukene.”Kusho uNtuli UNtuli uqhuba ngokuthi ukuvulwa kwezitolo ezinkulu zokudla kungezinye zezinto ezenze idolobha labo labukeka.”Bekuhlezi kusikhathaza uku-

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

bona amalungu omphakathi ngezikhathi zokuholwa kwezimpesheni bempintshana ezitolo ngenxa yokuthi bezincane izindawo obekuholwa kuzona.Ukuvulwa kwezitolo ezifana noShoprite,Cambridge kwenze sabona omkhulu umehluko ekuthuthukeni kwedolobha lethu futhi kwadaleka namathuba emisebenzi entsheni ebihlezi emakhaya.Kumanje singumasipala sizovula iGaraji laPetrol emva kwesikhathi eside sisebenzisa igaraji elilodwa ebelingekho esimeni esifanele ngenxa yokushoda kwengqalasizinda.”


JANUWARY 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 5

ISAZISO SOMPHAKATHI

INQUBOMGOMO YAMARATES EHLONGOZWAYO KA-2020/2021 LESI yisaziso sokuthi umphakathi usungaphawula ngenqubomgomo yama-rates ehlongozwayo eqondene nonyaka ka-2020/2021. Amakhophi ale nqubomgomo angafundwa ezikhungweni zikaSizakala, kwimitapo yolwazi kaMasipala, eCity Hall kanye nakuleli kheli: www.durban.gov.za. Ithuba lokuphawula ngale nqubomgomo liphela mhla ka 31 Januwari 2020. Yonke imibono kufanele ithunyelwe ku

Fikile Manqele nge-e-mail: Fikile.Manqele@durban.gov.za Noma ihanjiswe

e-2nd Floor, Florence Mkhize Building Noma iposelwe kwa

PO BOX 828, Durban, 4000. SC Nzuza iMenenja yeDolobha

Ngo-2030 iTheku liyobe lingu ngqa phambili.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


IKHASI 6

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

JANUWARY 2020

Ilunga lesishayamthetho nezinhlelo zikakhisimusi

MAKHOSI MNGOMA NGOSUKU lukaKhisimusi ilunga lesiShayamthetho uMakhosi Zungu uthunywe yihhovisi lobuholi baseMandeni ukuba avakashele isikhungo sikahulumeni okuyisiteshi samaphosa eSundumbili, Sundumbili CHC kanye nomtholampilo wakwaSithebe ukuyobheka ukuthi zisebenza kanjani lezikhungo zikahulumeni aphinde adlulise umyalezo kakhisimusi. Umhlonishwa Zungu uqale ngokuhambela amaphoyisa aseSundumbili nalapho ehlangane khona no Lieutenant Biyela ochaze ngokwehla kobugebengu ngesikhathi samaholidi kakhisimusi, njengoba ebemancane amacala abikiwe esitesh-

ini samaphosa, uveze ukuthi mathathu amacala abikiwe okubanjwa kwenkunzi okwenzeke kwaSithebe naselokishini. U Lieutenant Biyela uphinde waveza ukuthi isiteshi samaphoyisa sijwayele ukuthola amacala okushaya nodlame lwasekhaya, kanti udlame lwamatekisi lusamile kancane. UMenziwa uphinde wancoma abahleli bomcimbi weMandeni Home Coming ngokuhlela ezokuphepha nokubikwe isigameko esisodwa sabathathu abebedayisa amathikithi omkolotelo, nababanjwa bavalelwa abasolwa bavela enkantolo. Emuva komhlangano obeyimpumelelo phakathi kwaBiyela noZungu ube esekhuluma namaphoyisa kanye namalunga omphakathi ukudlulisa

umyalezo kaKhisimusi. Ubesevakashela indawo yesibili okuwumtholampilo waseSundumbili nokuyilapho ahlangane khona noMphathi womtholampilo uNtuli nomkhombise indlela abasebenza ngayo kulomtholampilo, uphinde waveza ukuthi ngesikhathi somcimbi iMandeni Home Coming babelindele noma yini kodwa ngenhlanhla akukho zigameko ezenzeka zabalimele abalethwa kulomtholampilo. UNtuli ube eseveza nezinselelo ababhekene nazo ngokwezingqalasizinda kanti uZungu ube esethembisa ukuthi lokhu uzokudlulisela kwiminyango efanele. Ube esethembisa ukuthi umtholampilo kanye nesiteshi samaphoyisa uzoziqaphela ngaphansi kwehhovisi lakhe.

Kanti umntwana wokuqala ozalwe ngoKhisimusi uzalwe ngehora lesi-09h25 ekuseni kukhona noZungu kanye nobuholi bomtholampilo, abazali bomntwana bamqambe igama lika Siphesihle Mthembu , uZungu ube esethembisa ukuthi uzoxhumana nabazali bomntwana abazalwe ngoKhisimusi. Indawo yokugcina ayivakashele kube umtholampilo wakwaSithebe nalapho bamukelwe khona umphathi uNtshangase osebenza lapho kubelethiswa khona kanti konke bekuhamba kahle. UZungu ube esencoma inhlanzeko yomtholampilo kwalandela umyalezo kakhisimusi, kanti ayikho ingane ezalwe kulomtholampilo ngosuku lukaKhisimusi.

UMphakathi waseNtambanana uhlomule ngezakhiwo “USomlomo wakulomasipala uSlondile Mkhize uqale ngokunikezela ngendawo ezosetshenziswa yilabo abaqoqa imfucuza ngenhloso yokuzama amasenti (Material Recovery Facility).”

MAKHOSI MNGOMA UMASIPALA waseMhlathuze unikezele

ngezakhiwo ezidle izigidi emphakathini wakuWard 33 eBhucanana. Izinkumbi zabantu baseNtambanana

,izinduna badele imvula bayozibonela mathupha ukunikezelwa kwezinsiza okwenziwe umasipala uMhlathuze. USomlomo wakulomasipala uSlondile Mkhize uqale ngokunikezela ngendawo ezosetshenziswa yilabo abaqoqa imfucuza ngenhloso yokuzama amasenti (Material Recovery Facility). UKhabazela uphinde wayovula ngokusemthethweni ipaki engasetshenziswa umphakathi ukwenza izinto eziningi ezahlukene ezifana nemishado kanye nokunye kokungcebeleka. Le paki inezindawo ezahlukene ezomculo, indawo yokosa, izindawo.zokuhlala kanti ibiyelwe futhi. Akagcinanga lapho usomlomo njengoba ephinde wahlangana nomphakathi waseMancence abezonikezela ngehholo kuwo. Leli hholo leza

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

emva kwezikhalo zomphakathi waseMancence. Kanti umphakathi usungakwazi ukulisebenzisela imicimbi eyahlukene okungama imishado, imingcwabo kanye neminye imicimbi. “Sinikezela ngalezinsiza mphakathi kanti sibheke ukuthi niyinakekele lempahla njengomphakathi ngoba ingeyenu. Siyaninxusa mphakathi ukuba nisebenzise ngendlela indawo yokuqoqa imfucuza ukuze nikwazi ukuthola imali. Okwamanje abaesifazane ababili kuphela abaqoqa imfucuza bese beyayidayisa ukuze bakwazi ukuziphilisa. Ehholo nakwiPaki zizoma ukufaka iWiFi ukuze abantu bahlale ngokunethezeka,” kusho Mkhize.


JANUWARY 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Kuxwayiswe umphakathi ngokulahlwa budedengu kukadoti INTATHELI YEPHEPHANDABA NJENGOBA isikhathi samaholidi okuphela konyaka sesiya ngasemaphethelweni amakhulu abathandi bomnandi nabendawo balindelekile kumabhishi ethu, kanye nasezindaweni ezivulekile ukuthamnela ilanga bajabulele unyaka omusha, idolobha linxusa bonke labo abazobe belihambele abazobe beshisa inyama ezindaweni ezifanele baqinisekise ukuthi amalahle apholile ngendlela efanele ngaphambi kokuba baphonse emgq-

omeni ukugwema ubungozi. Lokhu kulandela ingozi eyenze mhla lulunye kuMasingana kunyaka ka2020 ngenkathi kuqoqwa udoti ebhishi laseThekwini.Omunye umlotha wadala ukuthi kube nomlilo ngaphakathi kwiloli elithutha udoti lakwa DSW. Ngenhlenhla awukho mkhulu umonakalo owadaleka, kwaphoqeleka ukuba iloli lichithe konke lapho lalisebenzela khona. Uma nilahla umlotha kumele niqinisekise ukuthi niyawumanzisa uze uphole bese niwufaka kucwazi nkadoti ngaphambi

kokuba niwulahle emgqomeni kadoti okungaba okakhonkolo okanye owensimbi. Labo abahambela amabhishi bayanxuswa ukuba baphephe futhi bageze ezindawenin ezifanele nalapho kukhona khona abahlengi basolwandle (Lifeguards), bonke abantwana kumele bafake amabhengela esandleni futhi utshwala abauvunyelwe emabhishi nasemphakathi. Idolobha linifisela injabulo ephephile kunyaka ka-2020.

Akuzophazamiseka ukuphakelwa kwamanzi ngalamaholide,umasipala

NOKULUNGA MAJOLA

UMKHANDLU iLembe usuveze ukuthi wenze izinhlelo zokuqinisekisa ukuthi kungabi nokuphazamiseka kokuphakelwa kwamanzi emiphakathini eyakhele lomkhandlu ngalesikhathi samaholide. Lokhu kuvele emva kokuba ezinye izindawo ezingaphansi kukamasipala waKwaDukuza zike zabhekana nengwadla yokuntuleka kwamanzi emasontweni edlule. Nakuba ezinye zalezinkinga sezilungisekile, lomkhandlu uthi into eholele ekutheni kube nalezinkinga, ukuguga kwengqalasizinda kanye nokunqamuka kwamaphampu. Lezinhlelo ezivezwe ilomkhandlu zibandakanya ukuba namathimba azohlala ecuphile ukulungisa uma kukhona okonakalayo noma okunqamukayo kanye nokufakelwa kwamapayipi amasha.

Lamapayipi amasha azosebenza uma umkhandlu ubhekana nezinselelo ezinkulu kulengqalasizinda ekhona njengamanje. Inhloko ephethe umnyango wezokuxhumana kulomkhandlu uNks Zee Nqala uthe umkhandlu usuqhamuke nesisombululo ukubhekana nezinselelo zokuguga kwengqalasizinda. “Okwamanje silungiselela ukuthi kuqale uhlelo lokulungiswa kwengqalasizinda kwezinye zeziteshi zethu okuhlanganisa isiteshi samaphampu eMvoti Balancing Reservoir, ipayipi lokulinganisa phakathi kweKearsney reservoir, isiteshi samaphampu eKearsney reservoir kanye nepayipi eliphakathi kweKearsney neStanger Manor Reservoirs, kanye nepayipi phakathi kweStanger manor. kanye neDigital Ridge kanye ne-Warrenton reservoir kanye ne-High Ridge kanye

ne-Shakaville reservoir.” UNks Nqala uthi lephrojekthi sekusele kancane ukuba iphothulwe. “Lapho nje umsebenzi usuqediwe ingqalasizinda endala ngeke isetshenziswe,” kusho uNks Nqala. Uthi kunamaphrojekthi amabili aphansi kwesigaba sokukhishwa kwamathenda, asevaliwe okubalwa iprojekthi yokufakela kabusha amapayipi asegugile eWarrenton kanye nezindawo zokuhwebela kumawadi u-16 no-19 kanye newadi yaseShakaville u18. Lamaprojekthi kulindeleke ukuba anikezwe labo abafanele ukwenza lomsebenzi ekuqaleni konyaka ozayo uma bengekho abaphikisayo. UNks Nqala uthi ukwakhiwa kabusha kwengqalasizinda kuzonciphisa ukuvuza kuphinde kuqinisekise kuthi kuyaqhubeka ukuphakelwa kwamanzi ezindaweni ezifanele.

METRORAIL KZN FESTIVE SEASON SAFETY CAMPAIGN

METRORAIL KZN FESTIVE SEASON SAFETY CAMPAIGN

IKHASI 7

SIVUBELA Intuthuko ITHIMBA LEPHEPHA

>> UMHLELI MAKHOSI MNGOMA makhosi@sivubelaintuthuko.co.za 083 618 4252

>> IPHINI LOMHLELI TEBOGO SIBISI tebogo@sivubelaintuthuko.co.za 079 245 8462

>> INTATHELI YEZEMIDLALO THABANI MAPHUMULO trmaphumulo@gmail.com 081 794 8407

>> GRAPHIC DESIGNER AND LAYOUT LINDA MAZIBUKO trusouth1@gmail.com 079 535 0581 IWEBSITE YETHU www.sivubelaintuthuko.co.za FACEBOOK sivubela intuthuko TWITTER @sivubela intuthuko INSTAGRAM sivubelaintuthuko

Ø Ø Ø Ø Ø

DO NOT STAFF RIDE DO NOT SURF ON TRAINS DO NOT PLACE STONES ON POINTS STOP AT LEVEL CROSSINGS DO NOT CROSS RAILWAY TRACKS

Ø Ø Ø Ø

Ø

TOLL FREE NUMBER 0800 33 68 68

Ungashayi istafu estimeleni Ungagibeli ngaphezu kwesitimela Ungafaki amatshe kumaphoyinti Lapho kuvumeleke khona ukuwela umzila wesitimela ima uqalaze besz uwela emacrosini Musa ukuwela umzila wesitimela sebenzisa ibhuloho

TOLL FREE NUMBER 0800 33 68 68

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHELI LETHU B 33 Ten Acre Thembeni Groutville P.O Box 4473, Stanger4450, 270 Stamford Hill Road Unit 1 Morningside, Durban, 4000 UMA UFUNA UKUKHANGISA KULELIPHEPHANDABA , SHAYELA 031 822 2602/083 618 4252


IKHASI 8

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

JANUWARY 2020

Sivubela Intuthuko

EZEMIDLALO

Ompetha beNkandla Mayoral Cup bakuphindile lokho

Esithombeni: Selinqobe okwesithathu iqembu likanobutshuzwayo eNkandla elaziwa ngeTsunami FC. LETHIWE KHUZWAYO IMeya yaseNkandla uMnu Thamisanqa Ntuli uncome ithalente kwezemidlalo eNkandla njengoma bekudlalwa imidlalo yaminyaka yonke ebizwa ngeMayoral Cup eNkandla Municipality Stadium ngamaholidi kaDisemba.“Sihlanganisa intsha ngoba sinenkolelo yokuthi uma sitshala entsheni sisuke sikhulisa isizwe. Iningi lentsha kwezemidlalo iphekwe yile

midlalo ebizwa ngeMayoral Cup esisezingeni eliphezulu kakhulu,” lawa bekungamazwi kaNtuli ngesikhathi emukela izihambeli zale midlalo. Ubonge indlela umphakathi obuphume ngakhona ukuzokweseka le midlalo waphinde wabonga omakhelwane bomphakathi waseNkandla kubona abale uLundi, iZululand kanye noMhlathuze okuyimphakathi ebikhona kule midlalo.“Umphakathi uyaqhubeka nokweseka le midlalo yingakho nathi

sizoqhubeka senze le midlalo ibe ngcono kakhulu kunakuqala,” kuchaza uNtuli. “Ngalemidlalo minyaka yonke akuhlomuli intsha yakuyona lendawo kuphela, kodwa kuphinde kuhlomule osomabhizinisi abakhulu kanye nabasafufusa, kuhlomula ngisho osomabhizinisi bakweminye imiphakathi” kuqhuba uNtuli. Uthe njengoba kusuke kunale midlalo, abadayisi abancane nabakhulu, abanikazi bamahhotela, abashayeli bamatekisi, abaphekayo nababolekisa ngempahla ngisho nabeculi imbala bayahlomula kule midlalo. Uqhube wathi, sinabadlali abakhuliswe iNkandla Mayoral Cup yingakho intsha iqhubeka nokungena kule miqhudelwano. “Kulo nyaka sengeze imidlalo ukuze ibe ningi intsha ehlomulayo, imidlalo efana neChess okuyileyo ebinganakiwe lapha endaweni yangakithi siyathemba intsha izoqhubeka nokuba yingxenye yayo,” kusho uMphemba. Kudlalwe imidlalo eyahlukene okubalwe ibhola lezinyawo labesifazane nelabesilisa, ibhola lomnqakiswano, i-Boxing, ukudansa kanye neChess. Izinkampani ezinkulu ezifana noSuzuki noVodacom ziyesekile le midlalo. Abakwa Vodacom bathembise ukuxazulula izinkinga zokuhlupha kolayini

kwezokuxhumana kuyona le ndawo. Imidlalo idlalwe kanje: Kwelikanobhutshuzwayo abesilisa bamaqembu amawadi ahlukahlukene baqhathwe ngokuhlukana kwaze kwasala iPower United kanye neTsunami FC. Lama qembu womabili akwazile ukuhlula amaqembu aqhudelane nawo maqede abhekana mathupha emidlalweni yokugcina. Atshengise ukungesabani emdlalweni wawo njengoba engamaqembu azanayo, umdlalo awuqeda ngo 1-1. Kube sekuyiwa kuma phenathi okuyilapho kugcine kunqoba iqembu eliqeqeshwa nguMnu Maviyo Mbuyisa iTsunami FC esiyinqobe okwesithathu le midlalo. ITsunami ihambe nesheke la R15 000 njengeqembu elinqobile, iPower yona yahamba no R10 000 njengeqembu eliphume endaweni yesibili. Lamaqembu aphinde athole imijezi, amabhola, indondo kanye nama medal njengamaqembu aphume phambili. Iqembu likanobutshuzwayo eliphume endaweni yesithathu lithole uR5000. Abadlali beminye imidlalo ebalwe ngaphezulu nakubo bekuhlonyulwa ngesheke kusukela kwabaphume endaweni yesithathu kuya konqobe leyo midlalo.

Owe-Kings uvumbuke kwi-Richards Bay F.C

USimo Dladla osengumqeqeshi omusha weRichards Bay F.C emi noSihlalo waleli qembu uJomo Biyela THABANI MAPHUMULO UMQEQESHI obeyibambe kwiqembu lakulesifundazwe eligijima kuGladAfrica

Championship uSimo Dladla obeyibambe kuReal Kings uvumbuke kwiqembu elidlala kulesi sigaba okuyiRichards Bay FC ezinze kulo leli dolobha elisenyakatho.

UDladla ubesewusomaqhinga kuleli qembu kulandela ukuthi leli qembu liwele ezandleni ezintsha zikaShawn Mpisane obeyibambe kuRoyal Eagles. IBay eqale kahle isizini ibonakale ibhinjelwa yizinto emidlalweni yayo yakamuva njengoba ibilokhu ithole isibhaxu kusukela yaxosha umqeqeshi wayo uBrebndon Truter. USihlalo waleli qembu uJomo Biyela emva kokukhomba indlela uTruter ube eselanda u-Ian Palmer onamava ekuqeqesheni kulesi sigaba. Lo mqeqeshi uphikwe yimiphumela kwaze kwaba ukhonjwa indlela emva kwesikhashana eqhoqhobele isikhundla sokuqeqesha. UDladla nongemusha kwezokuqeqesha kubhekeke ukuthi akwazi ukusiza leli qembu likwazi ukuqoqa amaphuzu ukuze libalwe namanye agaqele ukunyekela esigabeni se-Absa Premiership. Kuzokhumbuleka ukuthi leli qembu lisanda kuboleka umgadli uMhlangi Cele obeglizwa ngendaba ijezi kuMaZulu FC. UCele akamusha eBay njengoba ubengomunye wabadlali abasize iThanda Royal Zulu ukuba ikhushulelw esigabeni esiphezulu.

07 Teusday 2020 19:30 Stellenbosch VS Bloem Celtics 07 Teusday 2020 19:30 Polokwane City VS Orlando Pirates 07 Teusday 2020 19:30 Mamelodi Sundowns VS Bidvest Wits

031 828 0433 / 082 597 6669

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.