Sivubela Intuthuko

Page 1

SIVUBELA Intuthuko

ADVERTISING: (031) 8222 602 DISEMBA 2019

2

Kunxuswa umphakathi wakwaMaphumulo ubike bonke abahlukumezi

FACEBOOK: SIVUBELA INTUTHUKO

SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

5

Ubonga uMasipala obecwile ezidakamizweni

Ukhathezekile ukhansela ngebriji eliwayo

LIMAHHALA USHICILELO 39

4

8

AmaCitizens anyusele osemncane esikwatini esikhulu

Kuzovuselelwa izakhiwo eThekwini udaba kukhasi: 3

Kusuka kwesokudla: UMnuz. Phillip Sithole ongusekela-Menenja kumasipala weTheku,uMeya uCllr. Mxolisi Kaunda,uNksz. Palesa Phili oyiskhulu kwaDurban Chamber of Commerce and Industry, uMnuz. Sipho Nzuza onguMenenja kamasipala kanye nosekelaMphathi weDurban Chamber of Commerce and Industry uMnuz. Gladwin Malishe.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


IKHASI 2

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

DISEMBA 2019

Kunxuswa umphakathi wakwaMaphumulo ubike bonke abahlukumezi “Gwemani abahlukumezi bese niyabika futhi ningazisoli ngokubabika. Kufanele kulwisane namasiko acindezela abesifazane nokungalingani kwabo, makufundiswe izingane ukubaluleka ngokuphatha umuntu wobilili obuhlukile kunaye,makube izinhloko emphakathini ezizogxila ezisombululweni ezokwenza abantu bobulili obuhlukile baphathe ngendlela efanele,”

Usekela Meya uCouncillor Dolly Shandu weLembe District Municipality, iLembe Meya Councillor Siduduzo Gumede kanye no KwaZulu-Natali uNgqongqoshe womnyango wokuzokuhlaliswa kwabantu weOperation Sukuma Sakhe Champion Ms Peggy Nkonyeni, Maphumulo Municipality Meya uCouncillor Matozi Khuzwayo –Dlamini kanye nosidlalo weDistrict iLembe weAids Council uRichard Shandu. MAKHOSI MNGOMA UNGQONGQOSHE Wezemisebenzi ka Hulumeni nezindlu kulesifundazwe ugxeke kakhulu izenzo zobulwane ezinziwa zibhekiswe ezinganeni kanye nakubesifazane . UNgqongqoshe walo mnyango uNkSZ Peggy Nkonyeni ukusho lokhu ngesikhathi ethula izinsuku ezingu -16 zokulwisana nokuhlukunyezwa kwezingane nabesifazane KwaMaPhumulo. “Gwemani abahlukumezi bese niyabika futhi ningazisoli ngokubabika.

Kufanele kulwisane namasiko acindezela abesifazane nokungalingani kwabo, makufundiswe izingane ukubaluleka ngokuphatha umuntu wobilili obuhlukile kunaye,makube izinhloko emphakathini ezizogxila ezisombululweni ezokwenza abantu bobulili obuhlukile baphathe ngendlela efanele,” kusho uNkonyeni. Uqhube wathi abesifazane amandla ukuze bakwazi ukuphatha imindeni ngokuthula. Izinhlangano zomphakathi ezingenzi nzuzo nabaholi bezendabuko kufanele badlale indima ethile ukunqanda ukuhlu-

kunyezwa kwabantu bobulili obuhlukile. IMeya ye Lembe uKhansela Siduduzo Gumede uthe ILembe lizothatha iziyalezo zika mengameli wakuleli mayelana nokuhlukunyezwa kwabesifazane. “Kufanele sisebenzise zonke izinhlaka emphakathini yethu yokubulala izingane nabesifazane. Kufanele sibavikele abesifazane nezingane bese sibika bonke laba abenza okuphambene nomthetho,”kusho uGumede. Imeya yakwa Maphumulo uNksz Matozi Khuzwayo-Dlamini uthe

bajabule ukuthi babe nohlelo oluhle endaweni esemakhaya ukuzodingida lolu daba. “Kuyasikhathaza ukuthi amacala akwa Maphumulo okudlwengula alokhu aqhubekile . “Akekho okufanele afihle ukuhlukunyezwa kwakhe ukuze athole usizo”. Lomcimbi waqala ngohambo oluhlose ukulwisana nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane usuka ehholo lakwa Maphumulo nezikhulu zika Hulumeni.

Babonga ukuzimisela koThisha abazali besikole saseMzinyathi

Othisha besikole iHlengimpilo FSS ngesikhathi kunomcimbi wama awadi eGingindlovu. TEBOGO SIBISI ABAZALI babafundi besikole samabanga aphansi iHlengimpilo Full Service School bancome ukusebenza ngokuzikhandla nokuzimisela koThisha bakulesikole ngenhloso yokugcina umlando walesi-

kole ukwibalazwe.Ekhuluma emcimbini wokuklomelisa othisha nabafundi abenze kahle onyakeni ka-2019 uMnuz. Nhlanhla Magwaza oyilungu lebhodi elimele abazali uthe ukubambisana okuphakathi kothisha,abazali kanye nabafundi yikona okwenza iHlengimpilo ihlezi iba ne-

micimbi emihle kanje njalo ngalesikhathi sonyaka njengoba umcimbi wama awadi kungowe-9 ubakhona. “Into em and I kakhulu uma kunemihlangano sonke siveza imibono kuphikiswane kodwa sithi siwugoqa loyomhlangano sisuke sesivumelana ngazwilinye. Ngyafisa abaphathi beqhubeke nokuba nozwano,inhlonipho kanye nokubambisana ukuze umzabalazo wokubeka lesikole kwelinyezinga uzoqhubeka minyaka yonke” Omunye wabafundi ohambe phambili emncintiswaneni wesiFundo sezibalo uNonhlnhla Blose owenza ibanga le-7 (Grade-7) uthe ukuzimisela kwakhe yikhona okumlethele izithelo ezinhle.”Ngilomfundi ongayigcini incwadi esikoleni kodwa uma ngifika ekhaya ngiyabuyekwza ngiphinde ngibe namaqembu abafundi esisizana nabo uma sekuphume isikole.” OnguThishanhloko weHlengimpilo uMnuz. Simphiwe Mpungose uthe kuningi kakhulu abazibekelw khona kumhlahlandlela wabo weminyaka

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

emihlanu ezayo.”Isikhathi esiphila kusona izinto sezishintshile,ngalokho isikole sethu asifuni sisalele emuva.Ngonyaka ozayo sizoqalisa ukufundisa sisebenzisa ezobuchwepheshe ukuze abafundi bethu bezoqonda kabanzi nge 4th Industrial Revolution ukuthi kukhulunywa ngani. Isikole sethu sisendaweni esemakhaya kodwa asiziboni sisalela emuva ngenxa yalokho sizokwenza ngakho konke okusemandleni ukuthi lolu hlelo luyaqala futhi siyabambisana ngalo.Kumanje kuzothi kuvulwa izikole ngonyaka ozayo sizobe sesineWebsite ezolawulwa othisha bethu ezobhala ngazozonke izinto ezimayelana nesikole sethu.Siyafisake nokuqinisekisa umphakathi ngokuthi izinhlelo zokufika kwemitholampilo engomahamba nendlwana kanye neminyango kaHulumeni efana nowezaseKhaya (Home Affairs) kusazoqhubeka kufike ngezinsuku okifika ngazo ukuze imiphakathi yethu isizakale. Kusho uMpungose.


DISEMBA 2019

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 3

Kuzovuselelwa izakhiwo eThekwini NOKULUNGA MAJOLA UKUVALWA kwamabhizinisi asenhloko yedolobha iTheku kanye nokunciphisa indawo yokusebenzela sekuholele ekutheni uMkhandlu weTheku ngokubambisana neDurban Chamber of Commerce and Industry, abathuthukisi bezakhiwo kanye nosomabhizinisi basungule uhlelo oluwuchungechunge lokuvuselelwa kwedolobha olubizwa nge City Means Business. Loluhlelo lwethulwe ngokusemthethweni ngolwesiThathu zingama- 29 kuNovember e Greyville Convention Centre. Loluchungechunge lokuzibandakanya kwezinhlaka ezihlukene ekuvuseleni iTheku lugxile kakhulu enhlokodolobha ezakhiweni ezingekho esimweni esigculisayo ukuthi zingasetshenizwa ezingaphansi kwe-Mahatma Gandhi Precinct. Ngokusho kwephini likaMongameli we Durban Chamber of Commerce and Industry uMnuz Gladwin Mashile, ukuvuselelwa kabusha kweDolobha yinto ebalulekile kubo, kuMasipala weTheku, kumalungu abo kanye nakomabhisinisi. Uthi loludaba lokukhucululwa nokuvuselelwa kabusha kweTheku beluba indaba eqhulwini ezigungwini zabo uma behlangene njengoba bebesuke bedinginda amaqhinga amasha nezixazululo zokuvuselela lelidolobha. “Amabhizinisi amaningi avele avala noma anciphisa ukusebenza kwawo ngenxa yezingqinamba nezinselelo ezikhona kuleli dolobha. Kungakho uchungechunge lwe-City Means Business lokuzibandakanya luhlinzeka ngamathemba amahle kumabhizinisi amaningi aphelelwe amandla, abanikazi bezindawo kanye nababambiqhaza abanentshisekelo kwi-dolobha lethu, ”kuqhuba uMnuz Malishe. Uthe ukuqhubekela phambili bazokwen-

za noma ingayiphi indlela ukuze kube nenqubekelaphambili ekubhekaneni nezinkinga zezomnotho ezikhungethe lelidolobha.“Kuzofanela sikwamukele ukuthi kunesidingo sokubandakanyeka okubalulekile futhi okunomthelela omuhle komphakathi kanye nezinhlangano ezizimele ikakhulukazi kumaphrojekthi abalulekile kanye nezinhlelo ezifana ne-Inner-City Regeneration, ”kuphetha uMalishe. IMeya kaMasipala weTheku, ukhansela Mxolisi Kaunda, uhambe emazwini ka Mnuz Malishe ngokuthi idolobha alikwazi ukuthola inzuzo enkulu kwezomnotho kulezi zindawo ngoba zisesimweni sokuwohloka ngenxa yokuntuleka kokusebenzisana phakathi kwabo bonke ababambiqhaza. Ukhansela Kaunda uthe ukubhekana nalenselelo, uMasipala ususungule uhlelo lokulungiswa kabusha kwedolobha okubalwa ukuhlanzwa kanye nokunakekela okugxile ekususeni imfucuza, ukulungiswa kwamalambu emigwaqo, amakhamera we-CCTV, Izakhiwo ezigugile kanye nokuheha abatshalimali. Iphini leMenenja yeDolobha emnyangweni woThuthukiswa koMnotho nezamaBhizinisi, uMnuz Philip Sithole uthe “izakhiwo ezihlanganisiwe ziyinselelo enkulu ekuheheni utshalomali emadolobheni. Uthe kuze kube manje, sekutholakele izakhiwo ezinga-80 ezingekhgo esimweni esihle enhlokodolobha yeTheku. Isikhulu Esiphezulu seDurban Chamber of Commerce and Industry, uNks Palesa Phili, uthe: “I-Durban Chamber ibonga kakhulu ukuzibophezela okukhonjiswe ngumasipala weTheku ngokubambisana nathi ochungechungeni lweCity Means Business. Lokhu kukhombisa ukuthi idolobha lifisa

Kusuka kwesokudla: UMnuz. Phillip Sithole ongusekela-Menenja kumasipala weTheku,uMeya uCllr. Mxolisi Kaunda,uNksz. Palesa Phili oyiskhulu kwaDurban Chamber of Commerce and Industry, uMnuz. Sipho Nzuza onguMenenja kamasipala kanye nosekelaMphathi weDurban Chamber of Commerce and Industry uMnuz. Gladwin Malishe. ukubamba iqhaza futhi kube nenkulumo evulekile nosomabhizinisi ezinhlelweni zeTheku. ” “IDolobha selithathe isinyathelo sokuqala, manje iDurban Chamber igqugquzela osomabhizinisi, abaphathi bezinkampani ezinkulu kanye nabo bonke ababandakanyekayo ukuthi

nabo babambe iqhaza kule nqubo. Sinikeziwe indawo ngakho-ke kumele sigxile ekuqinisekiseni ukuthi sikubeka phambili lokhu kuhlangana njengethuba lokungena ezingxoxweni ezizuzisayo nobambiswano nedolobha, ”kuphetha uMks Phili.

ITheku nezindlela zokuthuthukisa osomabhizinisi MAKHOSI MNGOMA UMASIPALA weTheku uhlanganise bonke osomabhizinisi abangaphansi kwawo eNkosi Albert Luthuli (ICC) ngenhloso yokuthi kushaya unyaka ka 2030 ube ngumkhandlu okhathalelayo futhi okuhlaleka kuwo. Okugqamile kule semina ukuthi lomkhandlu umnotho uthuthukiswa kanjani, nokudala amathuba omsebenzi, ukukhulisa osomabhizinisi bendawo kanye nokuheha abatshali zimali. Ukuze ukwenze lokhu ngempumelelo ,Umnyango ongaphansi kwalo mkhandlu Wezomnotho kanye nowukuhlela . Lesemina ibenesihloko esithi “Ukwenza ibhizinisi eThekwini “ ububheka umsebenzi owenziwa izakhamuzi zakuleli. Lesimina iphinde yaveza ukuthi indlela elula yokwenza ibhizinisi kwelika Mthaniya sekuthuthukiswe ngayo. Izinhlelo ezizayo zamabhizinisi ziphinde zabalulwa. Enkulumweni yakhe yesizwe uMengameli wakuleli uMnuz Cyril Ramaphosa wakhuluma “Ngenhlovo yokwenza ibhizinisi emazweni omhlaba” . Wabe esafakela elakuleli ingcindezi yokushitsha indlela

ibhange lomhlaba eliyiqelise ngayo elakuleli njengoba lingu nombolo -82 uma beqhathanisa namazwe athuthukayo. Lesemina izikhulu zaku Hulumeni , Osomabhizinisi zasize izihambeli ngolwazi olunomusoco. Isikhulu esivela ehhovisi lika mngcinmafa uKarren Harrison wakhuluma ngokuthi elakuleli licije amadolobha ngokuthuthuka okuyisivinini , kwathi Shirley Robison ovela kwi Bhange lomhlaba wachaza ngokubalukeka ukwenza ibhizinisi namanye amazwe. “Amadolobha ashesha ukukhulisa umnotho aphinde ahlanganise abantu bekwazi ukudlulisela ulwazi kwabanye kalula. Inhloko womnyango wezothuthukisa umnotho kanye nokuhlela ngaphansi kwalo mnyango uShunno Tulsiram wathi “lolu olunye uhlelo luka Masipala lokushitsha indlela yokuhheba.”

MXOLISI KAUNDA IMeya yeTheku

VIKELA UKUCHITHEKA NOKUQHUMA KWEZITAMKOKO Uthi bewazi ukuthi u 70% wokubhlokha kwezitamkoko kuMasipala weTheku ubangwa ubudedengu babanye bethu? Ngonyaka iTheku lisebenzisa izigidi zemali ukulungisa izitamkoko ezibhlokhile. Uma singashintsha indlela esiziphatha ngayo, lemali ingahamba elide ibanga ukusihlinzeka ngezidingo -ngqangi. Kufanele sikuqonde ukuthi ukusebenzisa amaphephandaba, amaphepha omagazine nolunye uhlobo lwama phepha aqinile, nokulahla izinto esingasazidingi ezindlini zangasese yikona kanye okwenza izitamkoko ziphuphume. Ngaso sonke isikhathi kufanele sisebenzise iphepha lasendlini yangasese phecelezi itoilet paper. Kufanele sazi ukuthi ukuchitheka okudalwa ukubhlokha kwezitamkoko, kunomthelela omubi esimeni sempilo yethu. Ngakho yiba yisakhamuzi esiqotho; musa ukusebenzisa indlu yangasese njengomgqomo kadoti.

Ukubika izitamkoko ezibhlokhile neziqhumile; shayela kulenombolo yamahhala kuMasipala weTheku 080 3 11 1111 noma ku WhatsApp othi 073 148 3477.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


IKHASI 4

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

DISEMBA 2019

Ukhathezekile ukhansela ngebriji eliwayo

Esithombeni:Ukhansela Mamane Xulu kanye noSekelashlalo wewadi uMnuz. Celokuhle “Pantsula” Myeni ngesikhathi behambele kulendawo ngenhloso yokuyobheka umonakalo TEBOGO SIBISI USEZWAKALISE ukukhathazeka ukhansela wakuwadi 40 elokishishini laKwaMashu ngaphansi kamasipala weTheku uKhansela Mamane Xulu ngebriji eliwayo nathi libeka engcupheni izimpilo zabantu ikakhulukazi izingane kanye nabashayeli bezimoto.Lelibriji lisuka kuwadi 40 linqamule kumgwaqo omkhulu uQueen Nandi Drive liye kawadi 11 eQuary Height kanti lakhiwe ngesikhathi lewadi

isaphethwe ukhansela Dumsani Ngema ophume kulesikhundla emva kokhetho lohulumeni bezindawo obelungo 2016 esehlale amahlandla amabili.“Ngithole isikhalazo kumalungu omphakathi ekhala ngebriji labahamba ngezinyawo ngabe sengithatha amalungu ekomiti siyobheka umonakalo.Mukhulu kakhulu umonakalo esiwubonile nongaholela ekutheni udlule nemiphefumulo yabantu eminingi.Into engikhathaza kakhulu kunezingane ezidlala kulona lelibriji kanti lingawa noma

inini ikakhulukazi njengoba kuzovalwa nezikole lezingane zizogcwala kuleyandawo bese ziyalimala.Sengilubikile udaba lwalelibriji kumasipala wethu kodwa okwamanje bengingakabonani nabomnyango ofanele ukuze ngizozwa ukuthi bazongenelela kanjani kuloludaba.”Kusho uXulu Okhulumela umasipala weTheku uMsawakhe Mayisela uthi bewumasipala bayaqikelela ngasosonke isikhathi ukuthi ngokuthi ingqalasizinda abayakhayo ayibeki umphakathi engcupheni.”Siwutho-

lile umbiko ngalelibriji kukhansela walewadi udaba siphezu kwalo ukulilungisa. Kodwa siyafisa umphakathi uqhubeke nokuthembela konjiniyela bethu abenza lomsebenzi ngoba basuke beqeqeshelwe ukuwenza.”kusho uMayisela Kanti uXulu uthe kuzokwenzeka abe nomhlangano ophuthumayo nabomnyango wezokuThuthukiswa kwengqalasizinda ngesonto elizayo

UMKHANDLU wakwaDukuza uphume phambili emkhandlwini enza kahle ekuxhumaneni nomphakathi ngomzila wabezindaba . Lezindaba zivele kwingqungquthela yabezokuxhumana komasipala. Okuvelile ukuthi lomkhandlu uyakwazi ukuxhumane ngendlela nomphakathi usebenzisa abezindaba. Phambilini lomkhandlu uke uye emsakazweni wesifundazwe ukuze uyothula izinhlelo zawo uphinde udedela izakhamizi ziveze lapho zingeneme khona. Lokhu kuye kwasiza lo mkhandlu unqade imibhikisho engena sidingo. Inhloko yezokuxhumana kulo Masipala uMnuz Sfiso Zulu kubasebenzele ukusebenzisana nabezindaba kuye kwenza umsebenzi wabo waba lula. “Siwumkhandlu senza konke okusemandleleni ukuthi umphakathi uyazi ngentuthuko eyenzeka emkhandlwini futhi sithatha konke abakhala ngakho

sikwenze bese sibuyela kubona nezisombululo. “Ukuya emsakazweni njalo ngenyanga kusenze sabona ukuthi yini ngempela efunwa umphakathi kanye nezinye izinkinga ezifihlekile thina esingazazi ezikhungethe umphakathi. “Siwumkhandlu kuyisifiso sethu esikhulu ukuthuthukisa izimpilo zabantu esibaholayo ,sibonge nomphakathi okuqhubeka usebenza kahle nathi kanye nobuholi bomkhandlu,”kusho uZulu. UMasipala wase Manden i wona ube usuhlubana ngokuba ngu Masipala okwazi ukuxhumana nomphakathi ezinkundleni zezokuxhumana. Okhulumela lomnyango uMnuz Mduduzi Manzi uthe izinkundla zezokuxhumana zibasiza lapho umphakathi ungajabule khona.“Siyabonga kakhulu ngalokhu kwaziswa futhi sisalokhu siqhubeka sisebenzela umphakathi futhi sizwe yini abayifunayo nokuthi singazithuthukisa kanjani izimpilo zawo ,”kusho uManzi.

TROVEQA

SIBANI NXUMALO

MANGOS TE EN JUICE BY NOM ON DE

Benze kahle oMasipala beLembe kweyozokuxhumana

•Cancer •Diarrhea/Stomach Disorder •Boost Immune System •Skin Care •Speeds up healing •Heart Problem/Stroke •Helps Menstrual Problems •Control Diabetes •Weight Loss •Depression For more info •Anxiety contact Nkosi •Arthritis On 072 259 4888 •Allergy Or Vuyiswa On 074 657 8406 •Fever •Dizziness •Dental Pain •Stomach and mouth Ulcers

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


DISEMBA 2019

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 5

Ubonga uMasipala obecwile ezidakamizweni

Mhlengi Mbulazi onguSonhlalakahle weQalakabusha enengxoxo ekhathekile nocwile ezidakamizweni ngenhloso yokuthola kabanzi ngemvelaphi yakhe kanye nangezizathu ezimenze wangena ezidakamizweni. TEBOGO SIBISI USEBONGE umasipala weTheku owesilisa waselokishini laseLamontville obesecwile ezidakamizweni iminyaka eyi-8.USibongiseni Ngcongo (29) ubudala uthi wangena ezidakamizweni kusukela ngo2006 kwaze kwaba uthola usizo ngo 2014 ngabenhlangano iQalakabusha.”Angeke ngiqambe amanga ngithi ukungena kwami ezidakamizweni kwaba isimo esithize,ngizozivumela nje ngokwami ukuthi ngangeniswa abangani kanye nokuthanda izinto.Izidakamizwa ziyimisile impilo yami ngaphuma ngisho esikoleni nomndeni wami kwacaca ukuthi uyahluleka ukungilawula.Ngizisebenzisile izidakamizwa eziningi kodwa iWunga iyona emoshe impilo yami kakhulu. Umndeni wami ayikho into ongayenzanga uzama ukungisiza kodwa wahluleka.

NguSbongiseni Ngcongo obecwile ezidakamizweni

Ekuhambeni kwesikhathi kwabe sekuzifikela kumina ukuthi ngidinga usizo ngenxa yesimo sempilo ebesengiphila ngaphansi kwaso.Ngezwa ngeQalakabusha ngashona khona emahhovisi abo ukuze ngiyocela usizo.Ngiyabonga kakhulu indlela engamukeleka ngayo ngaqaliswa izigaba zakhona eziyiskhombisa ezinye zazo ezisuke zidinga ukwazi ngemvelaphi yakho kanye nangezizathu ezisuke zikuholele ekudleni izidakamizwa.Kwathi emva kwezinsukwana lenhlangano yangithatha yangiyisa kwiskhungo esisiza abadla izidakamizwa iNewlands Park Centre mahhala.Ukungena kulesaskhungo kwakunzima kodwa ngenxa yokuthi ngazivolontiyela ukucela usizo ngabekezela kwaze kwaba inhlangano ingiphindisela emndenini wami ngokuphelele.”Kuchaza uNgcongo OnguSonhlalakahle osebenzela iQalak-

abusha engaphansi kamasipala weTheku uMnuz. Mhlengi Mbuyazi uthi yize bebhekene nesibalo esiphezulu sentsha egxile ezidakanizweni eThekwini kodwa uhlelo lweQalakabusha luyawenza umehluko.”Njalo ngeMisombuluko sinohlelo la siphumela khona ngaphandle sixoxisana nalabo abazisukumele bona beza kthina sibachazele ngempilo futhi sibaluleke ekutheni kuyaphumeka ezidakamizweni kalula.Sisebenzisana kakhulu nezinhlangano zomphakathi ezingenzinzuzo ngoba yizona kakhulu ezikwazi ukuxhumana nabo emphakathini efana nakoHammersdale,Phoenix,KwaMashu,uMlazi,iNanda kanye nasenkabeni yedolobha.Siphinde sisebenze futhi nenhlangano i-I CARE yonake isiza labo asebehlale emgwaqeni kwaze baze bathola abantwana.I-I CARE Iyo na ethatha isize abantu abangaphansi kweminyaka eyi-18 ngokubalu-

Kungesikhathi kuqhubeka uhlelo lokuqeqeshelwa amakhono okufunda ukubeka isitini kulabo abasuke sebephumile ezidakamizweni leka ngokomqondo baphinde babasize ekukhuliseni abantwana.Selokhu lwaqala loluhlelo bayingcosana abaphindela kuzona izidakamizwa yingakho sikuqikelela ukuthi sithatha umuntu othi “mina senganele izidakamizwa” bese sisondela eduze kwakhe simsize.Sinobudlelwani obuhle neskhungo samakhono esingaphansi kamasipala iTheku esibizwa nge eThekwini Municipal Academy.Lesi skhungo sisiza ekutheni uma umuntu eselutholile usizo bese siyamthatha mahhala ayoqeqeshwa amakhono. Selokhu siqalile ukusebenzisana naleskhungo balinganiselwa ngaphezu ka-15 abantu asebeqeqeshelwe ukubeka isitini. Ukwenza kwethu ngalendlela sizama ukuqinisekisa ukuthi umuntu osephumile kuzona akathile into ezomenza abe matasa aphile bese ethuthikisa impilo yakhe ngoqeqesho alutholile, Kusho uMbuyazi.

Isigaba lapho abasebenzi beQalakabusha bephumele ngaphandle ngenhloso yokuxoxisana nabadla izidakamizwa.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


IKHASI 6

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

DISEMBA 2019

Ibungazwe ngezemidlalo eyamalungelo abantu abaphila nokukhubazeka Esithombeni: UNgqongqoshe uNkszn Hlengiwe Mavimbela ongowesine uma usuka kwesokunxele umukelise izindondo abezifunda eziphume phambili emidlalweni ihlanganiswe yonke. LETHIWE KHUZWAYO

INYANGA yokuqwashisa ngamalun-

gelo abantu abaphila nokukhubazeka eyaziwa nge-Disability Rights Awareness Month eqala ngomhlaka 3 kuNovemba ize iphele ngomhlaka 3 kuDisemba igujwe ngezindlela ezihlukene nezikhombisa ukuthi abantu abaphila nokukhubazeka bangenza noma yini abathanda ukuyenza ngaphandle kokulekelelwa njengawo wonke umuntu. UNgqongqoshe Wezobuciko, Amasiko, Ezemidlalo Nezokungcebeleka KwaZulu-Natal uNkszn Hlengiwe Mavimbela uncome ithalente eligqame kuma-2019 Provincial Disability Games adlalwe eMhlathuze Sport Complex eRichards Bay aba khona minyaka yonke ngasekupheleni konyaka. Ngenyanga edlule kuklonyeliswe abadlali bemidlalo eyahlukene kanye nababambe iqhaza kwezemidlalo kuma-KZN Sport Awards ngomhlaka 12 ku-Okthoba

abebanjelwe e-INkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini. Kuwona lo mcimbi kuphinde kwamukeliswa owesifazane ophila nokukhubazeka uNkszn Paula Van Zyl obeqokelwe eyompetha wesimame kulo nyaka ebizwa nge-2019 Sportswoman of the Year. Kwabesilisa kwamukeliswa uMnu Charles Philips yena obeqokelwe eyompetha wesilisa kulo nyaka ebizwa nge-2019 Sportsman of the Year. Ithe iqala nje inyanga kaLwezi yavulwa ngezemidlalo zesifundazwe ebekuqhathwa izifunda ezingu-11 obekungabantu abangu-1100 abadlale imidlalo eyahlukene. Kule midlalo kubalwe ibhola likanobhutshuzwayo, ibhola lomnqakiswano, ukugijima, umlabalaba, i-table tennis, i-chess kanye ne-wheelchair basketball. UNgqongqoshe uMavimbela wemukelise izindondo abezifunda

eziphume phambili emidlalweni isiyonke edlaliwe okube uMgungundlovu endaweni yokuqala ngamaphuzu angu15, iTheku endaweni yesibili ngamaphuzu angu-13 kanye noMkhanyakude kweyesithathu ngamaphuzu angu-11. “Le midlalo ikhombise isasasa njengoba phambilini bekuba nezifunda eziyisithupha kodwa manje sezingu-11 kanti lokhu sekwenzeka okwesibili,” uchaze kanje uMavimbela. “Iningi lazo belimelwe ngabuantu abaningi kwezinye izifunda bekuba abantu abeqile ku-150,” kuqhuba yena. “Ngiyafisa ukuthi abantu bengancishwa ithuba lapho le midlalo iqala khona okuyisezingeni lamaWadi kukhuphuke njalo ngokwezigaba kuye kweyezifunda kuze kufikwe kweyezifundazwe,” kubeka yena. Uqhube wathi le midlalo isazoqhubeka ibe khona futhi ibekwe phambili.

Kugxekwe ukwebiwa kwemfuyo LETHIWE KHUZWAYO

UNgqongoshe wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumanisa uMphakathi KwaZulu-Natal ukhathazekile ngokunyuka kwesibalo sokwebiwa kwemfuyo esifundazweni.

UNGQONGQOSHE wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumanisa uMphakathi KwaZulu-Natal uMnu Bheki Ntuli unxuse ukuba umphakathi usebenzisane ukunqanda ubugebengu ngesikhathi kudingidwa udaba lokwebiwa kwemfuyo eNgwagwana. Emiphakathini engaphansi koMkhandlu iHarry Gwala kuvele ukuthi sinyukile isibalo sokwebiwa kwemfuyo. Lokhu sekwenze kwandiswa izinsizakusebenza zokulwa nobugebengu kuzona okubalwe amaveni amane amaphoyisa.

INGOMUSO COMMUNITY INVESTMENT STOKVEL The Burial Society Cooperative, which is an entity of the Ingomuso stokvel, has been fully established, and have more than 300 clients, and 4 satellite branches. The Ingomuso Stokvel, as it is commonly known, was founded in 2009 by community members of Inchanga, Rural Outer West of Durban, KZN, South Africa. In April 2010, its constitution was modified and formalised to open membership to everyone residing in Inchanga and surrounding areas (Outer West of EThekwini Municipality), which resulted in the adoption of the formal constitution by the members. In 2016, the membership was further opened to everyone residing in KwaZulu-Natal Province. In 2019, when the amendments to the constitution were done, the membership was made up of 65 members, and making the average monthly collective savings of more than R100 000. The Ingomuso Community Investment Stokvel is in registered with NASASA. NASASA is a self-regulatory organisation authorised by the South African Reserve Bank in terms of Government Notice 404 in Gazette 35368 -25 May 2012 there are 4 aspects to this initiative. One aspect is inculcating the culture of saving, the other aspect is converting the savings into sustainable investment opportunities - in shares and property, the third aspect is a burial society, and the fourth, which is a pure social aspect is youth leadership development. • • • • •

The employment opportunity has been created for 4 permanent staff, and 5 casual workers. The Ingomuso Stokvel has been registered with the National stokvel Association of South Africa, membership no: 155372. The Stokvel has a membership of 60 people. The annual collective savings of the stokvel membership is R1 200 000. The Youth Leadership Development Programme has been

For more information please call Bheki Dlamini and Nkosinathi Mbatha on 082 858 0907 / 083 369 5737

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Kuphinde kwengezwa amaphoyisa esiteshini saseDonnybrook ukuqinisekisa ukuthi lesi sihlamva liyancipha. UNtuli uncome izinhlangano ezilwisana nobugebengu ikakhulukazi lesi esaziwa nge KwaZulu-Natal Community Crime Prevention Association (KZNCCPA) ngokunciphisa lo mkhuba emphakathini yabo.“Isibindi nokuzinikela esikhonjiswe yile nhlangano ebizwa nge-KZNCCPA sihle kakhulu,” kubeka uNtuli. “Njengamalunga omphakathi kumele sisebenzisane nalezi zinhlangano kanye nabomthetho ukuze kunciphe lokhu kuntshontshwa kwemfuyo,” kuqhuba yena.Uphinde wacela ukuba nabezokuvikela ababheke ukuphuma nokungena emingceleni bayiqaphe ngeso lokhozi le yokushushumbiswa kwemfuyo emva kokuthi amalunga omphakathi aveze ukuthi iningi lemfuyo yeqiswa umngcele. Amalunga omphakathi athi ukusondelana kweNgwagwana nomngcele wokuphuma kuleli uwelele eLesotho kungezinye zezinto ezenza kube lula ukwebiwa kwemfuyo kule ndawo. Kuvele nokuthi enye yemfuyo iputshiswa emngceleni ongenela esifundazweni i-Eastern Cape. Ngokusho kwezibalo zobugebengu ezweni lonke, ohlwini leziteshi osekubikwe amacala obugebengu, isiteshi samaphoyisa eBulwer ngaphansi kwaMasipala iDr Nkosazana Dlamini-Zuma singesesi-28. Amacala obugebengu abikiwe kulesi siteshi angu-76 kanti esasesiteshini iNsikeni engaphansi kwaMasipala uMzimkhulu singesesi-30 sinamacala angu-79. Uphinde wanxusa abengalo yomthetho, ezinye izinhlangano zomphakathi kanye nezinkampani zonogada ezizimele ukuba kuqhutshekwe kubambiswane ukuze kunciphe lesi senzo.


DISEMBA 2019

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Ithole ithuba eliyingqayizivele yeLembe

UNksz Welile Gumede oqokwelwe isifundazwe saKwa-Zulu Natali ohlelweni lwezolimo olubizwa nge SAB Kickstart Urban Agriculture Programme 2019/20 NOKULUNGA MAJOLA UNks Welile Gumede we-Azowel Project ungomunye wababili abakulesifundazwe abazothola ukuqeqeshwa ngokunakekelwa kwezitshalo eziningi ngesikhathi esisodwa, ukukhiqizwa kwembewu nokuvuna, ukunakekela izitshalo ngokusebenzisa ubuchwepheshe, ukunakekelwa komhlaba, bephinde bafakwe ezivumelwaneni zokusebenzisana nezitolo ezinkulu. Nakuba engene kulomkhakha ngonyaka odlule uthi kubalulekile ukuthi intsha ingene kulomkhakha ngoba unamathuba amaningi kanti futhi unamandla okuxosha ikati eziko emphakathini eminingi ehlaselwe ububha. Exoxa ngebhizinisi lakhe uthe indawo ayisebenzisayo ingango 8 hectares nokuyilapho etshala khona amaklabishi notamatisi. “Otamatisi sibatshala emihhumeni kanti amaklabishi siwatshala endaweni evulelekile. Esikwenza nsuku zonke ukuhlakula, ukuchelela Kanye nokuvuna sihambise izitshalo e Enterprise Ilembe okuyilapho ngidayisa khona izitshalo zami okwamanje.” Uthio wabona ithuba lokuvula insuma emva kokuba abona indawo yokutshala enganakiwe wathatha isinqumo sokuthi ayisebenzise ngokuvula amathuba omsebenzi ezenzela yena Kanye nabanye emphakathini. “ Ngithanda amathuba akhona kwezezitshalo kanti futhi kwenza kungabibikho indlala yokudla okunempilo.” Uthi nakuba abaningi babethi ngeke aphumelele njengoba engenalo ulwazi olunzulu kwezolimo kodwa ukwazile ukuthi akhombise ukuthi akadingi ukuba nolwazi oluningi okubalulekile ukuzimisela kuphela. Loluhlelo lokuqeqesha osomabhizinisi selusenyakeni wesibili manje kanti lusiza intsha esafufusa enamathuba kwezolimo kanjalo nezindlela ezintsha sok. Loluhlelo luzothatha izinyanga ezingu 15. Ngakhetha ukuba umlimi ngoba ngingawutholi umsebenzi kwengikufundele. Kwadingeka ukuba ngivule umqondo ngibheke ezinye izindlela njengimuntu owafundela I chemical engineering ngabona ukuthi lemikhakha isondelene futhi iyasebenzisana Into engigqugquzelayo ukuthuthukisa

umphakathi, amakhono Kanye namathuba omsebenzi. Okuwuyena muntu omsizayo nomelulekayo kwezamabhizinisi uMqungebe Ngobese of the Enterprise iLembe Business Incubator. Uthe intsha uma ingayitholi imisebenzi kumele ingene kulo mkhakha njegoba baningi nabangasebenzisa ulwazi abaluthole emanyuvesi ukuqhamuka namasu amasha okuthuthukisa lo mkhakha. Wenze isibonelo ngaye, wathi wasebenzisa ulwazi aluthola ngenkathi enza iziqu zeChemical Engineering ukuqhamuka necebo elisha lokutshala otamatisi namaklabishi. Uthe abaningi basazitshela ukuthi ezolimo ezabantu abangafundile. “Okubalulekile ukuthi uzinike ithuba elanele lokufunda ngezolimo. Akulula njengokucabanga kwabaningi, uma ungena kulo mkhakha kumele ubheke izinto ezehlukene njengomhlaba ozolima kuwo, nesimo sezulu ukuze uzokwazi ukuthi yini ozoyitshala, uphinde uhlelele nokuntula kwamanzi. Ngalo mkhakha kungathuthuka intsha eneziqu zemfundo ephakeme, kanye nabangayanga ezikoleni. Ungeminye yemikhakha ebaluleke kakhulu,” kusho uGumede. UNks Phumzile Chifunyise onguMphathi we-Enterprise Development kwaSAB, uthe ngalolu hlelo bahlose ukuthuthukisa imiphakathi ngokufukula abalimi abancane. Uthe lokhu kuzothuthukisa

abesimame njengoba kuyibo abaningi abangasebenzi, wathi okubajabulisa ngalolu hlelo ukuthi kuzohlomula intsha yesifazane yebala elimnyama. Uveze ukuthi unyaka wesibili beqhuba lolu hlelo, wathi bonke ababeyingxenye yolwangonyaka owedlule benza kahle kakhulu. “Kulolu hlelo sigxile kakhulu ekusetshenzisweni kobuchwepheshe. Inhloso enkulu yethu ukuthi sihehe intsha ukuba ingene kulo mkhakha. Senzela ukuthi isebenzise ulwazi lwezobuchwepheshe olwalungekho eminyakeni engu-20 eyedlule ukuthuthukisa ezolimo kuleli. Lokho kuyokwenza ukuthi kukhiqizeke ukudla okuningi, kuholele ekwehleni kwentengo yokudla ezitolo,” kusho uChifunyise. Lolu hlelo luzoqhubeka kuze kushaye uDisemba wangonyaka ozayo. UGumede uqokwe kanye nabanye abangu-9 okunguMnuz Nkanyiso Ngubane weDukathole Youth Farm naye oyomela iKwaZulu-Natal, kube abaseGauteng okunguNks Lungi Robela weRobela Farm, uMnuz Khutso Njenga weTechFara, uNks Rinae Tshikangavhadzi weTC Women in Action Farming, uNkz Vutlhari Chauke weVT Harvest noMnuz Katlego Meso weKatlego Malesela Farmin. ENorth West uNks Amanda Mpabanga weMabogo Dinku Agricultural Cooperative, eWestern Cape khona kube uMnuz Sphamandla Bilitane weCrispy Crop.

Umasipala emkhankasweni wokukunciphisa izikweletu NOKULUNGA MAJOLA UMASIPALA waseMandeni usemkhankasweni wokuncishiswa kwezikweletu njengoba usuveze ukuthi uzimisele ukuqoqa imali elinganiselwa ku R184million ungakapheli uJune wonyaka ozayo. Lomkhankaso oqale ngenyanga kaJune nonyaka umukelwe ngelikhulu isasasa abahlali, ngokusho kwalomasipala. Okhulumela umkhandlu uMnuz Mduduzi Manzi uthe kulonyaka bazimisela ukwenza kangcono kakhulu kunangonyaka odlule. “Kulonyaka silindele ukuqinisa ubudlelwano nomphakathi wethu esiwakhele siphinde siphucule inhlalompilo yabantu,” Kusho uMnuz Manzi. Ngokusho kuka Mnuz Manzi abaqali ukuqhuba umkhankaso onjena njengoba bakwenza nangonyaka odlule nokwasiza ukuthi bakwazi ukuqoqa imali ezosiza ngezidingongqangi zomkhandlu. “Umkhankaso wangonyaka odlule waba impumelelo kakhulu njengoba inqwaba yabantu yakwazi ukuthi ikhokhe ingxenye yayo yezikweletu. Sigqugquzela nabo bonke labo abasakweleta ukuthi bavele. Lemali izosetshenziselwa ukuhlinzeka ezinye zezidingo kulomasipala,” kuqhuba uMnuz Manzi. Ngokusho kuka Mnuz Manzi, ngalomkhankaso baqonde ukuqinisa indlela abaxhumana ngayo nomphakathi baphinde bathuthukise

izimpilo zabantu. “Lokhu sikwenza ngokunciphisa izikweletu zabo ngokuthi bakhokhe izikweletu zabo ezingama-60%, bese sibhala ngo40% bese sibuyisela emphakathini ngokuxhasa ama-SMMEs, ahlinzeka ngengqalasizinda nokuthuthuka okuhlukahlukene.” Abantu abangakwazi ukubhalisela loluhlelo inoma ngubani okweleta umasipala. “Siphinde sibe nomunye umkhankaso wokunciphisa umthwalo wokukhokha kubahlali bethu. Abantu asebekhulile abathembele kakhulu empeshenini ukuze baziphilise nabo bangafika babhalise njengabantulayo futhi baxolelwe emananini abawakhokhayo. Kodwa-ke sinxusa abantu ukuthi bangasebenzisi abantu abadala ukuhlomula kuloluhlelo. Uma indlu ixhaswa ngumuntu oqashiwe futhi ongakwazi ukukhokha sicela akhokhe futhi kungasetshenziswa abantu abadala ukuthi babhalise,” kubeka uMnuz Manzi. Uthi indlela abazisa ngayo umphakathi ngalomkhankaso njengomasipala bavakashela izindawo ezahlukene okubalwa kuzo amasonto, kanye nezindawo lapho kuhlanganyela khona umphakathi. “Siziyela mathupha kubona ngoba siyaqonda ukuthi iningi labantu lihlala limatasa ingakho-ke kungcono nathi siye kubo,” kusho uMnuz Manzi.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 7

SIVUBELA Intuthuko ITHIMBA LEPHEPHA

>> UMHLELI MAKHOSI MNGOMA makhosi@sivubelaintuthuko.co.za 083 618 4252

>> IPHINI LOMHLELI TEBOGO SIBISI tebogo@sivubelaintuthuko.co.za 079 245 8462

>> INTATHELI YEZEMIDLALO THABANI MAPHUMULO trmaphumulo@gmail.com 081 794 8407

>> GRAPHIC DESIGNER AND LAYOUT LINDA MAZIBUKO trusouth1@gmail.com 079 535 0581 IWEBSITE YETHU www.sivubelaintuthuko.co.za FACEBOOK sivubela intuthuko TWITTER @sivubela intuthuko INSTAGRAM sivubelaintuthuko IKHELI LETHU B 33 Ten Acre Thembeni Groutville P.O Box 4473, Stanger4450, 270 Stamford Hill Road Unit 1 Morningside, Durban, 4000 UMA UFUNA UKUKHANGISA KULELIPHEPHANDABA , SHAYELA 031 822 2602/083 618 4252


IKHASI 8

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

DISEMBA 2019

Sivubela Intuthuko

EZEMIDLALO

Kubhekwe awase-KZN kowe-Nedbank cup THABANI MAPHUMULO

iTS Galaxy engompetha beNedbank Cup emva kokuhlula iKaizer Chiefs ngesizini edlule

AMEHLO azobe ethe njo kumaqembu akulesifundazwe kweyomqhudelwano weNedbank Cup ezoqala ukudlala ngempelasonto. Lo mqhudelwano ohlanganisa amaqembu angu-32 nophinde uhlanganise amaqembu adlala ezigabeni ezincane okuyi-ABC Motsepe ,GladAfrica Championship ukhombisa isasasa njengoba ngonyaka odlule kumangale abaningi kunqoba iqembu elidlala esigabeni esiphansi iTS Galaxy. IGalaxy yamangaza abaningi ibhaxabula iChiefs ngegoli elilodwa eqandeni eMoses Mabhida Stadium. Ompetha bazogadulisana neCape Moya United kweyokuhlungela ukungena kulomqhudelwano, bese kuthi iqembu elisazihola kuGladAfrica Championship uThongathi lubhekanr neTT ekuhambeni. Izinyoni zaseDube iMoroka Swallows zizokwamukela iRoyal Eagles ebonakala ibhinjelwa yizinto kusukela kuqale isizini.

Ompetha bangonyaka ka-2018 kulomqhudelwano iFree State Stars izobhekana neTS Sporting bese kuthi i-Ajax Cape Town eyahlulwa kowamanqamu ngonyaka ka-2015 ihlulwa iSundowns izovakashela iRichards Bay Fc. EzeNkosi zona zizovakashela AmaTuks nake adlala kowamanqamu ngonyaka ka-2009 bese kuthi iMbombela ivakashelwe yiJDR Stars, omakoti kuleligi iSteenberg sibhekane neReal Kings esefomini kulezinsuku.

Isiyonke imidlalo imi kanje: Richards Bay vs Ajax Cape Town Real Kings vs Steenberg United Swallows FC vs Royal Eagles Mbombela United vs JDR Stars TS Galaxy vs Cape Umoya United Free State Stars vs TS Sporting TTM vs Uthongathi Jomo Cosmos vs University of Pretoria

AmaCitizens anyusele iTeam of choice ithwele amathemba e-KZN osemncane esikwatini esikhulu THABANI MAPHUMULO

Umdlali osemncane Olwethu Nyembe (18) okhushulelwe eqenjini elikhulu leCape Town City

UMQEQESHI omusha weCape Town City uJan Olde Riekerink oqokwe kulesikhundla ngenyanga edlule emva kokuba leli qembu likhombe indlela uBenny McCarthy wenze okufuna yileli qembu ukuthuthukisa abadlali abasebancane. Lo mqeqeshi ukhuphulele umdlali osemncane eqenjini elikhulu u-Olwethu Nyembe oneminyaka engu-18. Leli qembu selisungule umkhankaso obizwa nge “Dream Club Graduate makes history� lapho bezibophezele ukuthuthukisa ikhono kwintsha.UNyembe ozalwa elokishini laseNyanga udlala esiswini kanti lomdlali useke wahamba neqembu elikhulu kuhlanganisa nohambo lomdlalo weBloemfontein Celtic .

Ompetha beTelkom Knockout Cup ngesizini edlule iBaroka Fc Stadium ngamagoli amabili kwelilodwa. Kugcine ngonyaka ka-2009 ukuba iqembu lakulesifundazwe linqobe IQEMBU iMaritzburg United izoya kumdlalo wamanqamu neMamelodi indebe ngenkathi i-Golden Arrows ihlula i-Ajax Cape Town ngamagoli Sundowns mhla zi-14 kuZibandlela eMoses Mabhida ithwele amathemba ayisithupha eqandeni koweMTN 8. Abathandi bebhola kulesifundazwe esifundazwe iKwaZulu Natal. ITeam of Choice izobe idlala ifayineli kubheke ukuthi baphume ngobuningi yayo yesibili kusukela yangena ku-Absa babo ukuyokweseka leli qembu ukuze Premiership njengoba ngonyaka ka- indebe isale kulesifundazwe. Lo mdlalo ozoba mhla zi-14 Disemba enkundle2018 ihlulwe yiFree State Stars ngegoli elilodwa eqandeni koweNedbank ni Moses Mabhida Stadium, ngehora Cup. Leli qembu limangaze abaningi lesithupha ntambama kanti amathikithi abiza R40 abadala bese kuthi izingane likhipha iKaizer Chiefs kowandulekube R15. la owamanqamu obuseMbombela THABANI MAPHUMULO

031 828 0433 / 082 597 6669

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.