Sivubela Intuthuko Newspaper

Page 1

SIVUBELA Intuthuko

ADVERTISING: (031) 8222 602

FACEBOOK: SIVUBELA INTUTHUKO

NOVEMBA 2019

OboMdabu nezinhlelo zokukhulisa abesilisa

4

LIMAHHALA

SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Kwethulwe uhlelo lokutshala eMdoni

5

USHICILELO 38

2

Aseyahlomula amaWadi aseMfolozi kwi-Operation Khawuleza

udaba kukhasi: 3

Lubuyele esimeni olokuqoqwa kukadoti kumasipala iLangalibalele uMeya kaMasipala iNkosi Langalibalele Cllr. Jabu Mbhele

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Ihambe phambili i-KZN kweyama-golden games

8


IKHASI 2

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

NOVEMBA 2019

Bazothola uqeqesho ababuyelwa umhlaba Escourt TEBOGO SIBISI

INkosazane Zamahlubi Hadebe ozalwa iNkosi yesizwe samaHlubi.

UMPHAKATHI owakhele isizwe samaHlubi owabuyelwa umhlaba wabo usunxuse izinhlangano zabalimi ezizimele ngokusondela kuwona ukuze bezothola ulwazi,ukuqeqesheka okwanele lokusebenzisa umhlabathi ngendlela efanele.Lokhu kugqame ngesikhathi kuqhubeka umgubho wesizwe samaHlubi obanjwa minyaka yonke ngenyenga ka-Okthoba ukukhumbula nokubungaza amasiko ngezinhlelo ezifaka phakathi ukusinwa kwengoma nemiculo ehlukahlukene. EThula inkulumo umntwana weNkosi yesizwe samaHlubi uNkosazane Zibuyile Zamahlubi Hadebe uchaze kabanzi ngokubaluleka kwalo mgubho nokuhlonishwa kwawo,udaba oluthinta ukuhlukunyezwa kwezingane nabesifazane,ukubuyiselwa kwemihlaba

nokusetshenziswa kwawo ngendlela efanele kanye nokuhlukunyezwa nodaba kwabantu bokufika. “Thina njengesizwe samaHlubi saba nenhlanhla umphakathi wethu wabuyiselwa imihlaba yawo ngesikhathi kusaphethe uMnuz. Thabo Mbeki kwesobuMengameli osekusele kuthina ukuthola uqeqesho olufanele ukuze sikwazi ukuwusebenzisa ngendlela efanele. Sinayo imifelandawonye etshala umbila nobhontshisi kodwa sithi akwanele ngoba usamningi umhlaba ongenzilutho ngenxa yokushoda kwezinsiza.Siyajabula ukubona izinhlangano ezifana neSouth African Farmers Development Association ziza ngaphambili kuthina ukuze sizokwazi ukusebenzisana.Siyanxusa nohulumeni angasikhohlwa ekusiletheleni uxhaso lwezinsiza ngoba inhloso yethu ukutshala lonke uhlobo lwesitshalo oludinga umhlabathi futh sidayise nasezimakethe ezinkulu senze nenzuzo.”

Omunye wezikhulu eziphezulu kwaSouth African Farmers Development Association uMnuz. Sfiso Mnguni ukuqinisekisie ukuthi seke babanayo imihlangano eminingi nesizwe samaHlubi ukuxoxa kabanzi ngokusebenzisana. Ngonyaka odlule sasayinda isivumelwano sokusebenzisana noMnyango wezokuBuyiselwa kwemihlaba ukuze siwulekelele ekusizeni imiphakathi ngamakhono,ukuyitholela izinsizakusebenza kanye nokucwaningwa kwemihlabathi kuleyomphakathi eseyabuyelwa imihlaba yayo.Asizimisele ukubona kukhona imihlaba engasetshenziswa ngenxa yokushoda kwezinsiza nolwazi ngoba sikholelwa ekutheni impilo engcono nomnotho kulele emhlabathini. Isizwe samaHlubi singesinye sezindawo esizosebezisana nazo maduze ukulekelela ukuthola uqeqesho kanye nolwazi lokubaluleka kokusebenzisa umhlabathi” Kusho uMnguni

Aseyahlomula amaWadi aseMfolozi kwi-Operation Khawuleza LETHIWE KHUZWAYO IMeya kaMasipala waseMfolozi uKhansela Simangaliso Mgenge ukuqinisekisile ukuthi sesivuliwe isikhungo esaziwa ngokuthi iThusong Community Service Centre esisendaweni yaKwaMbonambi nokulindeleke ukuthi abantu basisebenzise kakhulu ukuzithuthukisa. “KuneMnyango kaHulumeni ekhona kulesi sakhiwo eminye yawo uMnyango Wezokuthuthukiswa koMphakathi ohambisana noSASSA, amahhovisi akwa-Independent Electoral Commission (IEC) kanye noMnyango Wezasekhaya ngakho-ke uma umuntu eze kusona usizo uzoluthola ngokuhlukana kwezizathu zokusivakashela lesi sakhiwo,” lawa bekungamazwi kaMgenge kwisithangami ebesihlelelwe abezindaba KwaMbonambi. Uqhube wathi inkampani ezimele eyaziwa ngeRichards Bay Minerals (RBM) ingenelele kakhulu ukuqinisekisa ukwakhiwa kwalezi zakhiwo ngempumelelo nokuphinde kwasiza ekutheni zisheshe ziqedwe nomphakathi uqale uzisebenzise. Umphakathi waku wadi-15 uphinde wakhelwa inkulisa iSithembimfundo Creche esesimweni esihle sokufundisela abantwana emva kokubona inkulisa yakhona ingasekho esimweni esihle. USomlomo kaMasipala wase Mfolozi uMnu Dan Mfusi uchaze kanje, “Le nkulisa iyisakhiwo esakhiwe ngesicelo somphakathi wakuyo lendawo obunenkulisa engakulungele ukufundisela kuyo abantwana.” Lesi sakhiwo esidle imali engango R2 150 000 sakhiwe umphakathi obekungabantu abangu-27, abangu-17 babo intsha.

(Esithombeni: Kwesokunxele iMeya yaseMfolozi uCllr Simangaliso Mgenge noSomlomo wakaMasipala uMnu Dan Mfusi.) Ekuletheni izidingongqangi zomphakathi uMasipala uphinde wakha izinkundla zemidlalo ezintathu ngaphansi koMasipala waseMfolozi enye yazo iku-Wadi 17 obizwa ngeBhiliya Sportfield. Kwakhiwe nenye inkundla yezemidlalo iNhlabane Sportfield yona ekuWadi 3 kanye ne Mzingazi Sportfield ekuWadi 6. Lezi zinkundla zemidlalo zidle imali elinganiselwa ku R8 021 638 sezizonke. “Ukwakhiwa kwalezi zinkundla zemidlalo kuyinto uMasipala abeyibeke phambili ekwakheni ikusasa lentsha,” kuchaza

uMfusi. Uphinde washo nokuthi emva kokuthi uMasipala nabakwa RBM bebone isidingo sokusondeza izikhungo zokusimamisa umphakathi, isikhungo sokwenza izincwadi zokushayela sibe ngezinye zazo lezi zikhungo. Lesi sikhungo sizophinde sivuselele siphinde sikhiphe izincwadi zokushayela zesikhashana. Kusona ekwakhiweni kwaso kuqashwe abantu abangu-19 kanti abangu-10 intsha. KuWadi 4 kuphinde kwakhiwa isikhungo sokuthunga iSokhulu Sewing Project esixhaswe abakwa-RBM ngemali engango

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

R820 000 ukuthenga imishini yokuthunga engu-15 nezindwangu kanye nokwakhiwa kwayo. Baphinde bakhelwa isikhungo iMpumalanga Trading Toilet Paper Making Esibukweni RBM Centre kuWadi 5 kuyona okuhlomule abahlali bakwaSokhulu kuWadi 1. UMnu Mfusi uphethe wathi uMasipala uzoqhubeka nokuletha izidingongqangi nengqalasizinda emphakathini. “UMasipala uzoqhubeka nohlelo luka Operation Khawuleza oluletha ngokushesha izidingongqangi zomphakathi.


NOVEMBA 2019

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 3

Lubuyele esimeni olokuqoqwa kukadoti kumasipala iLangalibalele

uMeya kaMasipala iNkosi Langalibalele Cllr. Jabu Mbhele

“Njengomasipala sibhekene nezinkinga zokushoda kwezimali ezasiphoqa ekutheni simise uhlelo lokuxhasa imicimbi yemiphakathi ngenxa yokuthi sibambisene nomasipala iMbabazane obekusenza sihluleke ukuqoqa imali yethu singumasipala kodwa manje siphezu kwawo umshikashika wokuqoqa imali ngohlelo lukagesi namanzi....”

“UMeya uphinde wachaza ngobunzima asebedlule kubona bokuqoqwa kukadoti edolobheni labo wathi inkinga isilungisiwe.” TEBOGO SIBISI UMEYA kumasipala iNkosi Langalibalele uCllr. Jabu Mbhele usenxuse iminyango kaHulumeni nosomabhizinisi ukuba bafake isandla ezinhlelweni zabo zokwakha indawo ezoba isigcinamagugu sendawo esizoheha izivakashi ikakhulukazi izindawo okwatshalwa kuzona amakhosi esizwe samaHlubi. UMbhele usho kanje ngenkathi enenkulumo ekhethekile nephephanda iSivubela Intuthuko emcimbini obusendaweni yase-Escourt obekuhloswe ngawo ukukhumbula amasiko eSizwe samaHlubi. “Njengomasipala sibhekene nezinkinga zokushoda kwezimali ezasiphoqa ekutheni simise uhlelo lokuxhasa imicimbi yemiphakathi ngenxa yokuthi sibambisene nomasipala iMbabazane obekusenza sihluleke ukuqoqa imali yethu singumapala kodwa manje siphezu kwawo umshikashika wokuqoqa imali ngohlelo lukagesi namanzi. Umasipala wethu unamawadi amathathu esikwazi ukuqoqa izikweletu zethu kubantu ukuze umasipala ukwazi ukusebenza ngendlela yize ukwenza kwethu lokhu kungekuhle emphakathini kodwa ngenxa yokuthi sifuna ukuyisa intuthuko phambili siyaphoqeleka ukuthi sikwenze. Kumanje sisezinhlelweni zokunxusa uhulumeni ukuba afake isandla nosomabhizinisi abazimele ukuze sizokwazi ukwakha indawo ezoheha izivakashi ezivzoakashele ezindaweni

zethu ezingamagugu okwatshalwa khona amakhosi ethu ukuze sizokhulisa umnotho wethu singumasipala sikwazi ukuzimela ngendlela efanele kugcineke nomlando wamaKhosi ethu asashiya emhlabeni.” Kusho uCllr. Mbhele. UMeya uphinde wachaza ngobunzima asebedlule kubona bokuqoqwa kukadoti edolobheni labo wathi inkinga isilungisiwe.” Ukusebenzisana komasipala ababili kuke kwaba nezingqinamba kodwa sezilungisiwe emva kokuthi kube nemidonsiswano nokungaboni ngasolinye kwabasebenzi kodwa manje uhlelo lokuqoqwa kukadoti seluhamba ngendlela efanele kumanje idolobha lethu lihlanzekile kushaya umoya. Siyafisa ukuthembisa umphakathi ukuthi ngonyaka ozayo uzobe usukwazi ukuthola ukwesekwa kunoma yiluphi uxhaso ozobe ulucela kumasipala emva kokuthi simise yonke into ukuze sibe nemali eyanele ukusiza imiphakathi ngengqalasizinda.”

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


IKHASI 4

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

NOVEMBA 2019

OboMdabu nezinhlelo zokukhulisa abesilisa TEBOGO SIBISI BUZOSEBENZISANA nezinhlangano ezisungulelwe ukuxoxa kabanzi ngezinto ezibalukekile ezithinta abantu besilisa uBuholi boMdabu esifunndazweni saKwaZulu-Natali ngenhloso yokukhulisa nokweseka abantu besilisa ngokubaluleka kokuhlonipha amalungelo abantu besifazane, izingane kanye namasiko. Lokhu kuvele ngesikhathi uBuholi boMdabu bubambe isithangami esiphuthumayo sabezindaba esasibanjelwe eThekwini.USihlalo wamaKhosi esifundazweni iNkosi Phathisizwe Chiliza uthe njengobuholi bazibophezele ukwenza ucwaningo mayelana nokuthi ingabe amasiko asalandelwa ngendlela yini emiphakathini noma sekuqhutshwa izinto eziyimkhuba phambili. ‘Ukwanda kwezigameko zokubulawa ngesihluku kwabantu besifazane esifundazweni saKwaZulu Natali kungezinye zezinto ezisishaqishe kakhulu ngoba ukwenzeka kwazo lezigameko eziningi zazo zenziwa ngabantu besilisa abasebudlelwaneni nalabantu besisafazane abababulalayo bese kusishiya nemibuzo ethi umhlukumeza kanjani umuntu wesifazane ube uthi uyamthanda?Sizobhekisisa kabanzi nesiko lokuthwala ngoba esikhathini esiphila kusona sibona lolusiko abantu sebezenzela ngendlela engenanhlonipho uma kuqhathaniswa nendlela esakhula ngayo thina.Sesike sizwe nemibiko ethinta amadoda amadala okuthiwa athwala izingane ezincane ngaphandle koku-

USihlalo wamaKhosi esifundazweni iNkosi Phathisizwe Chiliza vumelana lokho asihambisani nakho ngoba usiko lokuthwala siluqonda ngokuthi isoka nentombi bayavumela bese iyathwalwa intombi ukuze owesilisa kube iyonandlela azoziveza ngayo kubo kantombazane bese ekhokha okuthize abazovumelana ngakho nomndeni wakwantombazane.”Kuchaza iNkosi Chiliza UChiliza uqhube wathi bazosebenzisana nezinhlangano ezifana nenhlangano

Isibaya saMadoda ukuba nezithangami okanye izigcawu ezizohlanganisa abantu besilisa abasebasha ukuze bezofundiswa kabanzi ngokuziphatha,ukuzhlonipha abantu besifazane kanye nokuzimela.”Sizoba nemikhankaso eminingi esizoyenza sibambisene nezinhlaka ezifanele zikahulumeni kanye nomphakathi siqwashisa kabanzi ngokuhlukumezeka kwezobulili.Imikhankaso yethu izoqa-

la kulezondawo ezike zaba sematheni ngalezigameko bese sinxusa uhulumeni ukuthi anike izigwebo eziqinile kulabo abayolahlwa amacala okuhlukumeza,ukubulala ngesihluku abesifazane kanye nabalahlwa amacala okudlwengula bagwetshwe baphinde badingiswe emiphakathini uma ubufakazi sebetholakele bonke.”kusho inkosi Chiliza

Sizibekele okuhle kodwa isikole saseDududu SKHUMBUZO NZUZA SIZIMISELE ngokuthola u 100% kwimiphumela yakulo nyaka kamatikuketsheni isikole samabanga aphansi iPhindavele High Schoool esizinze yaseDududu ngaphansi kamasipala iVumalamehlo. Lokhu kushiwo uthishanhloko walesikole uMnuz. Nkosinathi Cele ngesikhathi Umnyango wezeMali esifundazweni saKwaZulu-natali unikela ngemifaniswano yesikole kwizikole zasendaweni yase Dududu uhlangane nomphakathi wakule ndawo emahhovisi kamasipala kubantwana abangama-200.UCele uzwakalise enkulu injabulo ngowenziwe umnyango waveza ukuthi bebebhekene nenselelo yabafundi yesibalo esiphezulu sabafundi abashoda ngemifaniswano.”Lokho okwenzeka namhlanje esikoleni sethu siyakuthakasela ngoba abantwana kuyabakhuthaza ekwenzeni kahle babenokuzethemba nokuzimisela ngoba izingane eziningi azinabazali kule ndawo.” UNgqongqoshe walo Mnyango uMnuz. Ravi Pillay uyena obehola ithimba ebelihambele lo mcimbi nalapho ebalule khona ukuthi benguHulumeni bakukhathalele ukubona bonke abantu befunda bangaphazanyiswa ukuswela. ’’Akekho umntwana okumele angayi esikoleni ngenxa yokuswela yikho uHulumeni eqinisekisa ukuthi izikole eziningi

zifunda mahhala,kutholakala ukudla nezinsiza kufunda ngale kokukhokha,kwisabelomali saleSifundazwe esiwu R130 billion ingxenye ewu R54 billion iya kwezemfundo njengoHulumeni siyakuqonda ukuthi umthamo omkhulu wayo uholela abasebenzi. Ngalesosizathu namhlanje sikhethe ukulekelela ngokunikela ngemofaniswano kubantwana abangu-100 abafunda eDududu Junior Primary School Kanye nabangu-100 abafunda ePhindavele High School,lokhu kuzophungula umthwalo

emahlombe abazali obekumele bathenge umfaniswano makuphela unyaka leyomali sebezoyisebenzisa kokunye. Ngizwile nezinye izikhalo zomphakathi ezithinta ukuntuleka kwamanzi ngizoxoxisana noNdunankulu ukubheka ukuthi akukho yini esingakwenza kwisabelomali samaphakathi nonyaka ukuphendula kudaba lwamanzi kule ndawo’’,kusho uPillay. USihlalo wesigungu esibhekele ukusebenza kwesikole eDududu Primary School uNkk Silindile Gwala,uthe kuy-

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

abathokozisa okwenziwe yilo Mnyango ngoba bonke abantwana sebezozizwa belingana emakilasini,uThishanhloko wasesikoleni iPhindavele High School uMnuz Nkosinathi Cele uthe ngonyaka owedlule lesikole sithole u-87% kwimiphumela kamatibuletsheni iphupholabo bekukuthi kulonyaka bathole u-100%,wathi lokho kuzokwenzeka ngoba abantwana okwenzekayo kuyabakhuthaza ekwenzeni kahle babenokuzethemba nokuzimisela ngoba izingane eziningi azinabazali kulendawo.


NOVEMBA 2019

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 5

Kwethulwe uhlelo lokutshala eMdoni TEBOGO SIBISI UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi esifundazweni saKwaZulu-Natali uNkk. Nonhlanhla Khoza wethule uhlelo lokutshala ngaphansi kawadi-3 kumasipala waseMdoni wadonsa ngendlebe umphakathi ngokuthi kuzomele uzijwayeze ukutshala zinkathizonke ungagcini ehlobo kuphela.UKhoza uqale ngokuhambela umndeni wakwaMsane ophila ngesibonelelo somntwana okhubazekile wanikela ngamaphasela okudla,ingadi ebiyelwe kanye nezimbewu ukuze lo mndeni uzokwazi ukutshala bese uyadayisa ukwazi ukuziphila.

“Sizonikela ngalezimbewu ngoba asifuni uhlupheke ube ukwazi ukulima,sifuna ukubona lomndeni usimama futhi ukwazi ukuphila ngendlela efanele.Sizoshiya imbewu yezitshalo kanye nesithelo sikaMango sekuzoba kunina mndeni walapha ekhaya ukuthi niqhubeka kanjani.Ithimba lethu lo mnyango wezoLimo elisebenzela kule ndawo lizoqinisekisa ukuthi lifika zinyanga zonke ukuzobheka ukuthi ingadi ihamba kanjani.”Kusho uKhoza UNkk. Nomsa Msane (42) ubonge kakhulu ngoxhaso alutholile.”Ngithanda ukuqale ngibonge osonhlalakahle bakulendawo ngokungeseka ngasosonke isikhathi kwaze kwaba ngithola uxhaso

emnyangweni.Layikhaya siphila kanzima nabantwana abane(4) ngoba akekho osebenzayo siziphilisa ngemali yesbonelelo sikahulumeni somntwana wami okhubazekile ukuze sidle lokho kugcina kuholela ekutheni zingabe zisafezeka izidingo zomntwana ngemali yakhe.Ngiyathembisa ngizoyinakekela ingadi yami ngoba vele ngingumuntu okuthandayo ukulima,” UKhoza uphinde wethula ogandaganda abayi-11 bokutshala ukuxhasa imifelandawonye yakulendawo wanikela ngezingubo nezinduku zokuhamba kwizaguga namakhehla endawo

Kugxekwe imibhikisho enenhlese yezepolitiki eNdwendwe oluzoba ngonyaka u-2021 ngaleyondlela kusetshenziswa abantu ukuveza isithombe esibi ngobuholi obuphethe lo masipala,kubuhlungu ukuthi uMasipala waseNdwedwe ubhekene nenkinga yesibalo esiphezulu sabantu abangasebenzi kuthi labo abasebenzayo kuvinjwe imigwaqo bagcine belahlekelwa ileyomisebenzi,odabeni lwemigwaqo sithenge abanye ogandaganda abalungi-

sa imigwaqo eyishumi iWard ngayinye nyangazonke,u-94% wabantu baseNdwedwe unogesi,kunemali ewu R4.5 million esizoyisebenzisa ukufakela abantu abaku(type two)wokufakelwa ugesi nezinye izinhlelo zentuthuko esinazo sisebenzisana nobuholi beNdabuko,ngakho sicela umphakathi usibekezelele,kusho uChili.

M A P H U M U L O M U N I C I PA L I T Y

O Z I B IZILOMLWENTUTHUKO

/19Sport ground (Ward 4) 1 1 / 2 1 : E i DAT 3 wembil Ndwend VENUE: ESENT: O BE PR T D R A W

9, 10, 4

and

19und (Ward 8 / 1 1 / 8 0 ro DATE: Sport G 7 and 9 ushane

)

M 8, 11, VENUE: RESENT: P E B O WARD T

9 1 0 2

9 05/11/1

(Ward 1)

und DATE: ports Gro jambili S n and 6 tu N : 2 T: 1, , 5 VENUE N E S E R P BE WARD TO

INHLOSO NQANGI

Indlela ephumelela kakhulu uma uhulumeni wendawo efisa ukuxhumana nomphakathi ukuhambela izimbizo zomphakathi. Zonke izinhlaka ezithintekayo zithola ithuba lokuveze imibono yabo kwinqubo yokubonisana nomphakathi. Izimbizo ziyaqinekisisa ukuthi izinqubo zokubonisana nomphakathi ziyasentshenziswa ngendlela efanele. Lokhu indlela yokuqhuba intando yeningi ngendlela.

UHLELO LWE-IDP KANYE NOKUXHUMANA NOMPHAKATHI

MR 711 LOT NO. 152, Maphumulo 4470 www.maphumulo.gov.za info@maphumulo.gov.za | Tel: 032 481 4500 CS IZINIKELE

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

OMMITTE

D

UL

S I ZINIK C OMM ELE ITTED

IC

E K UTHUTHUKISEN I I TO YH TT N IA MOPMHMAUK UC

E K UTHUTHUKISEN I T O COMMUNIT Y

DEVELOPME N

LITY

Mayor Cllr. ZF Khuzwayo-Dlamini

M U N IOC M U N

LITY

UMnuz PN Mhlongo.

ULO

I PA

Uhlelo lokuxhumana nomphakathi kumele kube elomphakathi kuhlelo lokuxhumana nomphakathi. Lokhu kudinga ukusebenzisana kwezinhlaka zonke ngendlela yezimbizo.

I PA

UMKHANDLU wesiFunda iLembe uthi izikhalo zomphakathi owakhele uMasipala waseNdwedwe kanye nowakhele uMasipala waKwaMaphumulo uyazazi futhi uyazisebenza ukuqinisekisa ukuthi le miphakathi iyalungiselwa imigwaqo nokuthi iyawathola amanzi, Lokhu kushiwo yiMeya yeLembe uKhansela Siduduzo Gumede mhlaka kwisithanga sabezindaba ebesisingethwe emahhovi kaMasipala waseNdwedwe. Inhlangano yomphakathi ezibiza ngeNdwedwe Development Committee isabise ngokungenelela ukhukhulela ngoqo wombhikisho okugcine kungenzekanga ngemva kokuthi umasipala ubhalele abahleli balo mbikisho incwadi yokumisa lombhikisho ngoba zonke izikhalo umphakathi okhala ngazo umasipala uyazisebenza. IMeya yoMkhandlu iLembe uGumede uthe kuyiqiniso bayazisebenza izimfuno zomphakathi ngakho isidingo semibhikisho asikho,’’ iLembe linomasipala abane okuwuMasipala waKwaDukuza, Mandeni, KwaMaphumulo kanye

nowaseNdwedwe bonke labo masipala siyalwazi usizi lwabo lokuntula amanzi ikakhulukazi iNdwedwe naKwaMaphumulo ngoba labo masipala bobabili banezindawo eziningi ezisemakhaya engakakhiwa kuyona ingqalasizinda yamanzi. Njengamanje sisebenzise imali ewu R83 million ukuthenga amaloli azohambisela abantu amanzi,phambilini besiqashe izimoto ebezihambisela abantu amanzi kodwa kuyavela ukuthi kwezinye izindawo abengafiki ngenxa yezepolitiki. Lonyaka uzophela sesinamaloli ethu amanzi esizoba sesiwabela bonke omasipala esinabo, sicela umphakathi ubekezele ungavumeli abantu abafuna ukufeza izinhloso zabo zepolitiki’’, kusho uGumede. IMeya yaseNdwedwe uKhansela Nkosinathi Chili uthe kuyaphazamisa kakhulu ukuhlelwa kwemibhikisho ngezinto abazisebenzayo bengu masipala,’’ le mibhikisho siqale ukuyibona kubhekwe okethweni lukazwelonke obelukhona ngasekuqaleni kwalonyaka,siyamazi umuntu odlala ngabantu ofeza izinhloso zakhe zepolitiki, njengamanje kubhekwe kukhetho loHulumeni bezindawo

MAPHUM

TEBOGO SIBISI

MAPHUM

Umeya wesiFunda iLembe uCllr. Siduduzo Gumede

ZOHLE E W L E Y I D I OLUD LA A P I S A M ZIKA O L U M U H P A WAKWA-M

HI U M P H A K AT T DEVELOPME N

T


IKHASI 6

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

NOVEMBA 2019

Bathuleke umthwalo osomabhizinisi abancane KZN TEBOGO SIBISI INJABULO ibibhalwe ebusweni kosomabhizinisi abancane abaqhamuka kwizifunda ezihlukane esifundazweni saKwaZulu-Natali ngesikhathi umnyango wezokuThuthukisa koMnotho,eZokuvasha kanye nezeMvelo,iHhovisi likaNdunankulu kanye nesikhwama sikahulumeni iKZN Growth funds bezonikela ngo R70 million wamarandi ngenhloso yokuthi bathuthukise amabhinisi abo. Omunye wosomabhizinisi waseRichards Bay ohlomulile kuloluxhaso uMnuz. Sibonelo Luthuli wenkampani edayisa izikhwama iMakoya Leather uthe bayalubonga kakhulu uxhaso abaluthole kuhulumeni ngoba bebebhekana nenselelo yokuhluleka ukuthenga izinsiiza zokwenza izikhwama zibeningi ngenxa yokuthi izinto abenza ngazo izikhwama ziyabiza futhi bazithola kude.”Lolu xhaso luzokwenza omkhulu umehluko futhi sinethemba lokuthi nenzuzo sesizokwazi ukuyibona ikakhulukazi njengoba sidayisa uhlobo lwezikwama zesikhumba esibiza kakhulu ngakho besithwala kanzima uma sidinga izinsiza ngoba bekugcina siphoqeleka

ukuthi sithenge ngayo inzuzo yethu bese sisala singenalutho.Kusukela ngonyaka ka-2017 inkampani yethu yaqala ukusebenza kodwa okwamanje ayikho into esiyikhombayo esithi siyenzile yize sinabo abathengi.Ukusuka manje kuya phambili ngizimisele kakhulu ngisebenzise lolux haso ngendlela efanele ukuze lizothuthuka kakhulu ibhizinisi lethu.”Kusho uLuthuli UNdunankunkulu wesifundazwe uMnuz. Sihle Zikalala uthe babone kubalulekile ukuqalisa lolu hlelo lokuxhasa intsha ngoba benguhulumeni babona osomabhizinisi abasafufusa bevaleleka ngaphandle .”Njngohulumeni wesifundazwe kungokokuqala Undunankulu wesifundazwe umnuz. Sihle kanye nabeminyango ehlukene sikhipha uxhaso olufana nalolu kodwa emva kokumenyezelwa kwamagama osomabhizinisi abathole uxhaso. sinenthemba lokuthi abahlomulile bazosizakala emva kokuthi sibone kubalelikile sibaxhase ukuze bezothuthukisa sidinga amaphepha afanele ezinkampani wabo wabo wokwenza inzuzo uzoba ambhizinisi abo.Asilindeleke kubekhona lula.”kuchaza uZikalala. Oyiskhulu kodwa singawatholi.Siyanxusa ukuthi umuntu ozodla imali bese ibhizinisi esphezulu kwiskhwama iKZN Growth nikuqikelele lokhu ngesikhathi esilanliyawa ngoba kuzobe kusho ukuthi Youth funds uMnuz. Aubrey Shabane delayo futhi nibe nezindawo ezifanele sibambezela abantu abasadinga usizo unxuse ulusha olusemabhizinisini zokwenza imisebenzi yamabhizinisi.Sibe kuhulumeni.Sithathe isinqumo sokuthi ukuthi liqikelele ekulungiseni amaphenohlelo olunzulu lokucungula izicelo labosomabhizinisi singaniki imali ezoya pha afanele ezinkampani zawo ukuze ezilinganiselwa 2246 ebesizitholile kodemaphaketheni abo kodwa bazongelwa kuzobalula ukutomuleka uma loluhlelo wa ekugcineni imishini umuntu ngamunye edingwa selubuya okwesibili.”Sithole ukudumibhizinisi alenzayo ukuze umsebnzi ala kwabanye abebefake izicelo uma

NYDA ithembise ukulekelela abemifelandawonye SKHUMBUZO NZUZA ISIKHUNGO esisebenzisana noMnyango weMfundo ephakeme esibizwa nge Digilab Communications Academy siklomelise abafundi abane ngemishini yokusebenza ebizwa ngama drill ngemva kokuthi labafundi bebeyingxenye yoqeqesho lwezinyanga ezintathu lokufundela ukufaka ama (Satellite dish) ekuqaleni kwalenyanga iDigilab ithwese iziqu abafundi abangu-156 eCity Hall eThekwini abakade bethola uqeqesho kwizikhungo zokucijela amakhono ezinhlanu kuleSifundazwe. UMqondisi kwi Digilab uMnuz Sibusiso Kunene uthe inhloso yabo ukuletha uguquko kulo mkhakha obukeka ugcwele kakhulu abantu besilisa,’’IDigilab Communications iyona kuphela enelungelo lokuthi iqeqeqshe abantu abakwazi ukwenza lolu hlobo lo msebenzi.Phambilini umsebenzi wokuxhuma ama Satellite ubuwaziwa njengowabantu besilisa futhi kuyinto etholakala emadolobheni thina ngokusebenzisana noMnyango weMfundo ephakeme sibe sesiqala loluhlelo ngonyaka u-2017 kwi TVET Collage uMfolozi,salusabalalisa njengoba namhlanje sithwesa iziqu abafundi abavela kuma TVET amahlanu

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

kulesifundazwe,labantwana abathwesa iziqu abakhethwanga ngobungani kodwa kube wuhlelo olukhangisiwe kwizikhungo zokucija amakhono abanetshisekelo abaseminyakeni ephakathi kuka 18-35 bafaka izicelo babanenhlanhla bakhethwa futhi lusazoqhubeka.Inhloso yethu ukuthi labafundi mangabe bephuma lapha bakwazi ukuziqalela amabhizinisi abo futhi sizolokhu sikhona sibasiza,iNational Youth Development Agency(NYDA)isithembisile ukuthi izobalekelela ngamakhono okuqala amabhizinisi kuthi labo abafisa ukuqala ama CO-Operatives ibaxhase ngemali engafinyelela ku R200 000,sinethemba lokuthi laba abane abaklonyeliswe ngemishini ngenxa yokwenza kahle izobasiza kakhulu’’,kusho uKunene. USiyamkela Khumalo okade efunda eThekwini TVET Collage ohlomule ngomshini wokubhola udonga uthe wezwa ngalolu hlelo ngonyaka owedlule wafaka isicelo wafunda kusukela ngo Juni kuya ku Sebthemba 2018,ngemva kwalokho wabe eseqala inkampani yakhe okumanje iyasebenza,wathi uyafisa nabanye abazothola ithuba bazimisele ngoba bangakwazi ukuziphilisa ngalo msebenzi ikakhulukazi ezindaweni ezisemakhaya.


NOVEMBA 2019

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Amalungu esishayamthetho azoxazulula izinkinga zezempilo kwiLembe

IKHASI 7

SIVUBELA Intuthuko ITHIMBA LEPHEPHA

>> UMHLELI MAKHOSI MNGOMA makhosi@sivubelaintuthuko.co.za 083 618 4252

>> IPHINI LOMHLELI TEBOGO SIBISI tebogo@sivubelaintuthuko.co.za 079 245 8462

Kusukela kwesokunxe ilungu leBhodi lesibhedlela iNtunjambili uZweli Mavundla, uSboneli Mbatha, Jomo Sibiya ilungu le Phalamende,uSphesihle Zulu uSomlomo kamasipala iLembe, Nontobeko Ndadane-Zungu isikhulu esiphezulu kwisibhedlela iNtunjambili, kanye namalunga ePhalamende uNomvomvo Yimpikayipheli noNcamisile Nkwanyana. AMALUNGU eSishayamthetho saKwaZulu-Natali avakashele isifunda iLembe ehambela izikhungo zezempilo KwaDukuza, eNdwendwe nakwaMaphumulo ukubheka ukuthi zisebenza kanjani. Amalunga abeyinxenye yokuvakashela izikhungo, uSihlalo weKomiti

lezeMfundo eSishayamthetho uJomo Sibiya, Ncamisile Nkwanyana, Nomvomvo Yimpikayipheli kanye noSomlomo kamasipala weLembe uSiphesihle Zulu obehambisana namakhansela. Zonke izikhungo ezivakashelwe kuvele ukuthi zinezinselelo ezincane kusukela

ngonyaka ka-2017 kwaqalwa lolu hlelo lokuhanjelwe kwazo, izinselelo kube izimali, ukungabikhona kweNetwork, umtholampilo odingeka eMambulu, kanjalo nendawo yokuhlala abahlengikazi engekho esimeni.

Banikele ngezicathulo abalingisi bamabonakude

>> INTATHELI YEZEMIDLALO THABANI MAPHUMULO trmaphumulo@gmail.com 081 794 8407

>> GRAPHIC DESIGNER AND LAYOUT LINDA MAZIBUKO trusouth1@gmail.com 079 535 0581 IWEBSITE YETHU www.sivubelaintuthuko.co.za FACEBOOK sivubela intuthuko TWITTER @sivubela intuthuko INSTAGRAM sivubelaintuthuko

Abalingisi boZalo neMbewu kanye nabafundi basoHlange.( Isithombe:Abraham Kortjaas) BAHLOMULE ngezicathulo zesikole abafundi abangaphezu kwamashumi amabili besikole esizinze eNanda i-Ohlange High School benikelelwa inkampani iFeel The Pain Walk On Pain ngesikhathi kunomcimbi obekuhloswe ngawo ukuthi kuzuze umphakathi obuhlelwe iJust Vision Events e-Inanda Dam ngempelasonto.Lo mcimbi ubuhlanganisa izaguza,amakhehla,odado kanye nabantu abasha.Odado bathole ithuba lokudlala imishini yokugxuma mahhala babuka nabaculi abasafufusa abebezoziveza

ngamakhono abanawo kwezomculo. Umnyango wezeMpilo nowezaseKhaya esifundazweni saKwaZulu-Natali ube yingxenye yalo mcimbi wagqugquzela umphakathi ngokutshala ukuze uzothola ukudla okunempilo. Lo mbukiso ubugcwele kakhulu abadlali bomabonakude besithombe Uzalo oludlala kuSABC 1 kanye nabeMbewu oludlala ke etv.Ukubakhona kwalabadlali inhloso ukugqigquzela intsha ngokuziphatha kanye nokutomula laba abazoba yingxenye yomcimbi oba minya

yonke KwaMashu i-INKHOP FESTIVAL esuke ihlanganisa abaculi abahlukene asebedumile nabasafufusa.Onguprojecti menenja walo mcimbi uNolwazi Nhlangulela unxuse umphakathi uphume ngobuningi bawo uyothenga amathikithi eComputickets.kanti intengo yawo imi kanje:General-R200,Golden Circle:R250,VIP:R700.Lo mcimbi okungowesihlanu uzoba senkundleni yezemidlalo iPrincess Magogo Stadium mhla ziyi-16 Ku Novemba 2019.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHELI LETHU B 33 Ten Acre Thembeni Groutville P.O Box 4473, Stanger4450, 270 Stamford Hill Road Unit 1 Morningside, Durban, 4000 UMA UFUNA UKUKHANGISA KULELIPHEPHANDABA , SHAYELA 031 822 2602/083 618 4252


IKHASI 8

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

NOVEMBA 2019

Sivubela Intuthuko

EZEMIDLALO

Sekuqaliwe ukungenela iComrades Marathon

THABANI MAPHUMULO INHLANGANO esingethe umjaho omkhulukazi iComrades Marathon Association (CMA) seyiqalile ukwamukela izicelo zalabo abafisa ukungenela lomjaho ngonyaka ozayo.Lo mjaho ozobe usingethwe okwama-95 uqale mhla- 28 ku-Mfumfu 2019 imingenelo. Imingenelo izovalwa ngomhlaka 30 kuL-

wezi 2019 noma uma imingelelo ifinyelele esibalweni esibekiwe esingabagijimi abayizi-27 500. Abafisa ukungenela lo mjaho bayakhuthazwa ukuba bangenele ngokushesha ukuze bangaphoxeki uma sibheka ukuthi imingenelo yomjaho ka-2019 yathengiswa yaphela ezinsukwini eziyisithupha nje kuphela ivuliwe ngonyaka owedlule. Izimali zokungenela umjaho we-Com-

rades ka-2020 zimi kanje: Abagijimi baseNingizimu Afrika: R600.00 Abagijimi basemazweni ase-Afrika nakwi-SADC: R1 500.00 Abagijimi bamazwe omhlaba angaphandle kwase-Afrika: R3 800.00 Abagijimi asebegijime baqeda imijaho engama-25 nangaphezulu bangenela mahhala. UMqondisi walo Mjaho u-Rowyn James, wazisa abagijimi ukuthi isibalo semingenelo senyusiwe ukusuka kwesiyizi-25 000 ukuya kwesiyizi-27 500, okwenza ukuba umjaho we-Comrades ube ngomkhulu kunayo yonke imijaho enebanga elilodwa eNingizimu Afrika. Kule mingenelo eyizi-27 500, eyizi-7 000 ibekelwe abagijimi abaqalayo kuthi eyizi-2 500 ibekelwe abagijimi bamazwe omhlaba.“Ekuhambisaneni nomgomo we-Comrades Marathon Association wokugxila nokubeka abagijimi phambili, asiyikhuphulanga imali yokungenela umjaho wonyaka ozayo. Nakuba imali yokungenela umjaho izohlala ku-R600 kubagijimi baseNingizimu Afrika, kodwa imali yenkampani esithathela imingenelo ebeyikhokhwa yithina njengeCMA isizokhokhwa yibo ngqo abagijimi, njengoba neminye imijaho emikhulu yenza” kuqhuba uJames.

U-James uqhubeke wathi, “Sinezinhlelo ezihlabahlosile esiza nazo ngonyaka ozayo njengoba umjaho uyophelela enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida okwesibili. Imijaho eyosetshenziselwa ukugijima iComrades imijaho ephakathi komhlaka 24 ku-Agasti 2019 nomhlaka 4 kuMeyi 2020. Ukuze umgijimi avumeleke ukugijima iComrades kumele agijime umjaho oyibanga elingamakhilomitha angama-42.2 ngesikhathi esingamahora amane nemizuzu engamashumi amahlanu (4h50) noma ngaphansi, bese kuthi ibanga elingamakhilomitha angamashumi amahlanu nesithupha (56km) ligijinywe ngesikhathi esingamahora ayisithupha nemizuzu engamashumi amane nanhlanu (6h45) noma ngaphansi kwalokho”. Kuphetha uJames. Lo mjaho uzobe usuka eMgungundlovu ngonyaka ozayo ubheke eThekwini mhlaka zi-14 kuNhlangulana 2020. Lo Mjaho uyosukela ehholo ledolobha laseMgungundlovu ligamenxe ihora lesihlanu ekuseni (05h30) uphelele enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida esikhathini esingamahora ayishumi nambili, ibanga elingamakhilomitha angama-90.2. Lona kuyobe kuwumjaho wamashuni amane nesikhombisa owehlayo emlandweni we-Comrades.

Ihambe phambili i-KZN kweyama-golden games THABANI MAPHUMULO

UNgqongqoshe wezeMidlalo esifundazweni iKwaZulu Natal uHlengiwe Mavimbela eneqembu leaifundazwe elinqobile kuma Golden Games

SIZIDLELE amahlanga isifundazwe saKwaZulu-Natali kwimidlalo kazwelonke eyaziwa ngamaGolden Games nedlalwa asebekhulile ngaphansi kwemikhakha eyahlukene. Le midla ibibanjelwe ePort Elizabeth kusukela mhla-24-25 kuMfumfu. UNgqongqoshe wezamaCiko,amaSiko nezeMidlalo esifundazwe iKwaZulu-Natali uHlengiwe Mavimbela usehalalisele labo abebeyinxenye yalemidlalo ngempumelelo yabo. “

SIthanda ukuhalalisela iqembu lethu ebeliyinxenye yalemidlalo kulonyaka. Leli qembu lenze saziqhenya, bebebonakala noma bedlala ukuthi bazimisele, bengizithemba nami ukuthi sizonqoba. Ubungaphika ukuthi besibukela abantu abadala ikakhulukazi kwimijaho yokugijima,” kusho Mavimbela. “ Ukuba yinxenye kulemidlalo kubalulekile kakhulu kubantu bethu asebekhulile njengoba ibagcina bephilile ngokwempilo. Inhloso yethu njengomnyango ukuqinisekisa ukuthi isimo sempilo kubantu abadala sises-

imeni esikahle ngaso sonke isikhathi, siphinde sibasize ukugwema imikhuhlane nokuthembela kwimishanguzo. Ukunqoba kwabo kulomqhudelwano kusikhombisile ukuthi imizimba ezivocavocayo yakha nemiqondo esebenza ngokukhalipha,” kuphetha Mavimbela. IKwaZulu-Natali inqobe igolide emva kokuthola amaphuzu angama-499, isifundazwe saseGauteng sathola angama-480 kwathi endaweni yesithathu kwaba yisifundazwe iLimpopo ethole angama-460

031 828 0433 / 082 597 6669

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.