Sivubela Intuthuko newspaper

Page 1

SIVUBELA Intuthuko

ADVERTISING: (031) 8222 602 JUNI /JULAYI 2019

FACEBOOK: SIVUBELA INTUTHUKO SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

LIMAHHALA USHICILELO 34

Uhulumeni uyaqhubeka nokusiza abakhahlanyezwa izikhukhula udaba kukhasi: 3

8

Owe-Bafana umemezele iqembu eliqinile le-Afcon

Kunxuswe umphakathi unakekele imvelo KDM

2 UNgqongqoshe Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zomdabu Esifundazweni saKwaZulu -Natali uMnuz. Sipho Hlomuka

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


IKHASI 2

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

JUNI / JULAYI 2019

Kunxuswe umphakathi unakekele imvelo KDM

TEBOGO SIBISI SEKUNXUSWE umphakathi owakhele umasipala waKwaDukuza ngokunakekela imvelo ngasosonke isikhathi.Lokhu kushiwo yilowo obam-

be njengoMeya uCllr. Dolly Govender izolo ngesikhathi lomasipala ubungaza usuku olubizwa ngeWorld Enviroment Day okuwumcimbi obuvuleleke kuzona zonke izikole ezingaphansi kwalo Mkhandlu kanye nosomabhizinisi

abagxile ekudayiseni izinto ezithinta imvelo.”Lolu suku sibone kubalulekile silubungaze nabantwana besikole ngoba sikholelwa ekutheni ukufundiswa kwabo ngokunakekela imvelo besasezikoleni kuzoba yinto enhle abazokhula bey-

iqonda ngendlela efanele futhi bayenze noma befika emakhaya.Kuyasikhathaza ukubona kwanda izindawo ezingekho emthethweni zokulahla ngoba lokho kwenza izindawo zethu zingcole ekubeni umasipala ukuqinisekisa ukuthi lwenzeka zikhathi zonke uhlelo lokusabalalisa oplastiki bokufaka udoti kanye nezimoto eziwuthuthayo. Siyacela emiphakathini ukuthi usebenzisane nathi ukunakekela imvelo ngoba lokho akugcini ngokutho bakwenze emakhaya abo abanye bagcine bengcolisa nedolobha lethu imbala okuyinto engamukelekile ngoba igcina ixosha nabatshalizimali.Njengomasipala sizoqhubeka sikhokhise inhlawulo ikakhulukazi kulabo abaphula umthetho ngokulahlwa kukadoti endaweni engafenele.Abantu kumele bakuqonde ukuthi ukunganakekelwa kwemvelo kungezinye zezinto ezinomthelela ngokuguquguquka kwesimo sezulu okugcina kunyusa izinga lezikhukhula kanye nomoya onamandla.Lomcimbi wethu sizowutshala emiphakathini ngeke ugcine ngokusu lwanamhlanje kodwa kuzoba uhlelo lwethu lwansukuzonke ukugqugquzela ukunakekelwa kwemvelo.”Kusho uGovender.

Lizobungazwa ngezemidlalo usuku lwentsha KwaMashu

TEBOGO SIBISI

ABAPHATHI besikhwama sikasomabhizinisi waKwaZulu-Natali uMnuz. Vivian Reddy iSibaya Community Trust bathi bazimisele ngokuqhubeka nokufaka isandla ezinhlanganweni ezingenzinzuzo uma kukhona eziludingayo.Lokhu kugqame esithangamini nabezindaba ebesibanjelwe enkundleni yezemidlalo iPrincess Magogo Stadium esizinze elokishini KwaMashu ebesihlelwe inhlangano yomphakathi i-We Are One enomcimbi wokubungaza inyanga yabantu abasha kanye nokuhlonipha labo asebethathe ilokishi laKwaMashu balibeka kwelinye izinga ngenxa yemimisebenzi abayenzayo kanti lomcimbi uzohlanganisa amalokishi amathathu okuyilokishi laKwaMashu,Phoenix kanye Newlands ahlala abantu bohlanga oluhlukene. Ekhuluma nephephandaba iSivubela Intuthuko uMnuz. Brian Mpono oyiSkhulu esiphezulu kwiskhwama iSibaya Community Trust uthe kuningi asebekwenzele umphakathi ikakhulukazi ezikoleni ezingaphansi kamasipala waKwaDukuza.”Luningi uxhaso esesil-

wenze ezikoleni ikakhulukazi kulezo ezisuke zifake izicelo siyakwazi ukuzisiza.Eminyakeni embalwa edlule sikwazile ukwakhela intsha yaKwaDukuza isikhungo sokucijwa kwamakhono ahlukene emva kokubona kwanda isibalo sabantu abasha behleli emakhaya uma kokuqenda umatikuletsheni. Kule nyanga siyinxenye ebambe iqhaza elikhulu ekuxhaseni umcimbi ohlanganisa ezemidlalo kanye nomculo ozobanjelwa KwaMashu kulempelasonto ngoba sikholelwa ekutheni kuhle ukuhlangana kwemiphakathi wezinhlanga ezihlukene ukuze kube nobumbano nokuthula. Siyanxusa ukuthi yande imicimbi ehlanganisa imiphakathi ngoba lokho kwenza abantu bakwazi ukudingida kabanzi nangezinto eziwuhlupho emphakathi abahlala kuyona”Kusho uMpona. Umsunguli wenhlangano i-We are One uNksz. Jacinta Ngobese uthe bekuhlezi kumkhathaza ukubona ingekho into ehlanganisa lamalokishi ekubeni esondelene yingakho athatha isinqumo sokwenza kube nezemidlalo ezihlanganisa lamalokishishi.”Ukubakhona kwemidlalo ehlanganisa izonhlanga ezihlukene kwenza kube nobumbano

kanye nokuzwana.Izinga lakulonyaka linyuke kakhulu ngoba kuzoba umcimbi ozothatha izinsuku ezimbili. Kuzothi ngoMgqibelo mhlaka 15 June sizoba neFun Walk yokuhlonipha Lowo obenguNgqongqoshe emnyangweni wezaMandla (Energy) kuzwelonke uMnuz. Jeff Radebe ongowokudabuka KwaMashu kanye noMnuz. Vivian Reddy ongusomabhizinisi odlale indima en-

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

kulu ekusingatheni lomcimbi,Ngesonto mhlaka 16 June kuzoba ne-WE ARE FESTIVAL ozobanjwelwa eBrigde City la kuzoba khona abaculi abahlukene. Siyanxusa umphakathi ube yingxenye kanti namatickets alomcimbi eComputickets.”Kuchaza uNgobese. Abafisa ukuba inxenye yeFun Walk abangene Ku:www.weareonefestival.co.za


JUNI / JULAYI 2019

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 3

Uhulumeni uyaqhubeka nokusiza abakhahlanyezwa izikhukhula SKHUMBUZO NZUZA UMNYANGO wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kulesiFundazwe umemezele ukuthi iningi imali ezosetshenziswa ukusiza abantu abakhahlamezeka ngenxa yezikhukhula nokuthi izokwabiwa kanjani. UNgqongqoshe walo Mnyango uMnuz. Sipho Hlomuka uthe izimvula zadala umonakalo omkhulu koMasipala abafana neKing Cetshwayo,Ilembe,Ugu kanye naseThekwini lapho kwacekeleka phansi imizi nemigwaqo kwashona abantu abawu-70 umonakalo owadaleka usuwon-

ke ubalelwa ku R1.1 billion iTheku lilodwa umonakalo ubalelwa ku R650 million. Kusukela senzekile lesigameko uHlomuka uthi uHulumeni uhlinzeke ngezindawo zokuhlala kubantu abalahlekelwa imizi yabo izingubo,zokulala,omatilasi,ukudla nokunye phezu kwalokho uHulumeni uphinde waqinisekisa ukuthi abashonile bafihlwe ngesizotha futhi imindeni ithola ukululekwa ngokomqondo. “Siqoke ithimba elihlanganisa nemindeni eyathinteka ukuhlola ubungako bomonakalo,ihhovisi likaNdunankulu kuleSifundazwe ngokubambisana nesigungu sePhalamende lakhe babhalele

uHulumeni kaZwelonke becela ukuthi iKwaZulu Natal ihlonzwe njengesiFundazwe okumele sisikunyelwe phezulu esehlelwe inhlekelele.Abanye abantu sebebuyiselwe emakhaya abanye abakabuyeli ngenxa yokuthi imvula yalimaza izindawo ababakhe kuzona kodwa umasipala uyalusebenza lolodaba.Ngokubambisana noMnyango wezokuBusa nokubambisana nezindaba zoMdabu nowezokuHlaliswa kwabantu kuzwelonke sikhiphe imali ewu R90.8 million ukusiza uMasipala weTheku ngo-R42.3 million ozokwakha izindlu ezingolindela eziwu-772,imali ewu R30.1 million uzok-

wakha zosiza imindeni ewu-3017 ukuthi ithole izinsiza zokwakha,R14.3 million uzosebenza ukuthola izindawo ezitsha zokwakha”kusho uHlomuka. Phezu kwalokho uNgqongqoshe eMnyangweni obhekele ukuThuthukiswa komphakathi uMhlonishwa Nonhlanhla Khoza unikezele ngemali ewu R20 000 umndeni ngamunye kuleyo eyalahlekelwa izihlobo zayo isiyonke imali ayikhiphile iwu R1. 44million.UMnyango wezokuThutha uzosiza ukwakha eminye imigwaqo eyaguguleka,siyabonga kakhulu kubona bonke abantu abasiza ngesikhathi senhlekelele kuze kube imanje.

UNgqongqoshe walo Mnyango uMnuz. Sipho Hlomuka uthe izimvula zadala umonakalo omkhulu koMasipala abafana neKing Cetshwayo, Ilembe,Ugu kanye naseThekwini lapho kwacekeleka phansi imizi nemigwaqo kwashona abantu abawu-70 umonakalo owadaleka usuwonke ubalelwa ku R1.1 billion iTheku lilodwa umonakalo ubalelwa ku R650 million.

NOTIFICATION: ADOPTION OF THE 2019/2020 INTEGRATED DEVELOPMENT PLAN REVIEW

ISAZISO SOKWAMUKELA UKUBUYEKEZWA KOHLAKA LWENTUTHUKO EDIDIYELWA KANYAKA WEZIMALI KA 2019/2020

The iLembe District Municipality hereby gives notice of adoption of the 2019/2020 IDP review, in terms of Section 34 of the Municipal Systems Act (act no 32 of 2000) on the 28 May 2019 by the Council of the Municipality.

Omkhulu wesiFunda iLembe ukhipha isaziso sokwamukela ngokusemthethweni kokubuyekezwa kohlelo kwentuthuko edidiyelwe yonyaka mali ka 2019/2020, njengokulandisa kwesiGaba 34 somthetho obizwa nge Municipal Systems Act 32 wonyaka ka 2000 lokhu kwenziwa 28 May 2019.

Copies of the document are available for public viewing at the iLembe District Municipality Offices at 59/61 Mahatma Gandhi Street in KwaDukuza and also on the official website: www.ilembe.gov.za

Amapheshana akhuluma ngesaziso esingenhla ayatholakala emahhovisini oMkhandlu wesiFunda iLembe kulelikheli 59/61 Mahatma Gandhi noma kusizinda lwebu: www.ilembe.gov.za

Enquiries regarding the notice may be directed to Manager: Planning and IDP, Mr Linda Mncube on email address: linda.mncube@ilembe.gov.za or in the Municipal offices at the above physical address.

Imibuzo mayelana ngesaziso ingaqondiswa ku Mphathi ophethe uMnyango weNtuthuko edidiyelwe, Mnuz. Linda Mncube: linda.mncube@ilembe.gov.za emahhovisini kamasipala akulelikheli elingenhla

MR. N. G. KUMALO MUNICIPAL MANAGER

MNUZ. N. G. KUMALO MPHATHI KAMASIPALA WESIFUNDA– ILEMBE

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


IKHASI 4

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

JUNI / JULAYI 2019

Kunxuswa intsha izimbandakanye nezolimo

uMnuz. Swazelihle Ndlovu TEBOGO SIBISI USENXUSE abantu abasha ukuba basukume bazimbandakane nezolimo umlimi

kamoba wasoTongaat nongaphansi kwenhlangano yabalimi iSouth African Farmers Development Association (SAFDA) uMnuz. Swazelihle Ndlovu (27).

UKhoza uveze lokhu ngesikhathi i-SAFDA yethula ngokusemthethweni isiphehli sikamanyolo eMaydon Wharf eThekwini kanye namaloli amahlanu ewathule emva

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

komcimbi obubanjelwe endaweni yaseMacambini eMandeni ewathole ngoxhaso lweskhwama senkampani yakwaCocacola iMintirho Foundation exhase lenhlangano ngo R28 million wamarandi izolo. “Ngingene kwezolimo kusukela ngonyaka ka-2011 kade ngiphuma esikoleni emva kokubhekana nesikhathi esinzima sokushonelwa abazali ngimncane kwabe sekungiphoqa ukuthi ngingene ezicathulweni zabo.Ziningi izingqinamba engike ngabhekana nazo emva kokungena kulo mkhakha kamoba ngoba bekuphoqeleka ukuthi njalo ngonyaka ngishintshe izinsiza kusebenza okuyinto ebingelula kodwa ngosizo engaluthola kwabeBhange iThala kanye nabomnyango wezoHwebo neziMboni ngakwazi ukudlula kule nkinga.Ngonyaka u-2015 ngikwazile ukuba nepulazi eselikhiqiza okudlula elabazali bami njengoba lona likhiqiza 6000tons kanti elasekhaya likhiqiza 3200tons,lokho kuyinto engelula.Ngiyafisa ukugqugquzela abantu abasha njengoba sibungaza inyanga yethu ukuthi bangawubukeli phansi umkhakha wezolimo ngoba iwona esikhathini samanje osukwazi ukudala amathuba emisebenzi kanye nokukhuphula umnotho.Kumanje ngisezinhlelweni zokuba namahhashi,izinkukhu kanye nezingulube ngingagxili kuphela ekutshaleni umoba.�kusho uKhoza.


JUNI / JULAYI 2019

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 5

Yethule isiphehli sikamanyolo eyabalimi bamoba

TEBOGO SIBISI SEKUZOPHUNGUKA umthwalo emahlombe kubalimi bamoba abangaphansi kwenhlangano iSouth African Farmers Development Association (SAFDA) emva kokuthi le nhlangano yethule ngokusemthethweni isiphehli sayo sikamanyolo esizinze eMaydon Wharf eThekwini ngoxhaso eluthole kwabeskhwama senkamphani yakwaCocacola iMintirho Foundation.Le nhlangano iveze ukuthi ukuthenga kwayo lesiphehli kwethule

omkhulu umthwalo kumalungu ayo kulandela ukuthi bebebhekene nenselelo enzima yokuthenga umanyolo ngemali eshisiwe nobekugcina kubenza bengayiboni inzuzo yabo abayenzayo. UShlalo wale nhlangano eDk. Syabonga Madlala uthe bayabonga kakhulu uxhaso abaluthole kwaCocacola nathi kuzoletha umehluko omkhulu kumalungu abo.”Bekusikhathaza ngasosonke isikhathi ukuzwa amalungu ethu ekhala ngentengo ephezulu athenga ngayo umanyolo nokugcina kubenza bengakujabule-

li ukulima umoba ngoba inzuzo ibigcina ingabonakali.Ukubakhona kwalesphehli kuzobenza bathenge umanyolo ngentengo ephansi kakhulu esingakuqinisekisa nje ukuthi ukusuka namhlanje sebezokwazi ukwenza inzuzo ezobajabulisa ngasosonke isikhathi sokudayiswa komoba wabo.”Kusho uMadlala. Iskhulu esiphezulu kwiMintirho Foundation uNksz. Noxolo Kahlana uthe bakubone kubalulekile baxhase le nhlangano ngoba babuke ukuthi inamalungu angaphezu kuka-10 000 okuwuxhaso lolu

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

olungagcini lusiza abathile kodwa luzosiza abantu abaningi.”Kwasijbulisa kakhulu ukuthola isicelo sencwadi yokucela uxhaso evela kule nhlangano ngoba kwasenza sabona ukuthi zikhona izinhlangano ezimele abantu abamnyama ngokulingana, lokho kwasenza sanganqikaza ekutheni silule isandla sika R28 million siyinike le nhlangano ukuze kuzosikala bonke abalimi.Namhlanje ubufakazi sibubona ngamehlo eMaydon Wharf la Kwethulwe khona isiphehli samanyolo kanye namaloli amahlanu eMacambini eMacambini.”


IKHASI 6

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

JUNI / JULAYI 2019

Kuthuthukiswe ngolwazi osomabhizinisi eThekwini SKHUMBUZO NZUZA INHLANGANO efundisa ngezombusazwe iDemocracy Development Program (DDP),isingathe i-4th Annual Youth Indaba eThekwini lapho ibihlangene nabantu abasha ukuzobacebisa ngamasu okukhulisa amabhizinisi abo ngale kwezihibe,lomhlangano ubungomhlaka 11 no 12 Juni.Bangaphezulu kuka-200 abantu abasha abahambele lomhlangano. UNksz Mbalenhle Mkhize ovela kwiDDP uthi inhloso yabo ukuqinisekisa ukuthi abantu

abasha badlala indima ebonakalayo ekuthuthukiseni umnotho,�siyiDDP simele ukuqinisekisa ukuthi abantu bayayiqonda intando yeningi futhi bayathuthuka ngakwezomnotho,kubalulekile ukuthi sibheke ukuthi iliphi iqhaza elingabanjwa itsha makushawa imithetho ethinta ezokuhwebelana ngoba sithi itsha iyikusasa lezwe kubalulekile ukuthi ibe yingxenye yemithetho eshawayo futhi inikezwe amathuba. Okubi ukuthi ithi isiwatholile amathuba besihluleka ukuwasebenzisa ngenxa yokuntula ulwazi nemithetho ekungelula bayiqonde ngoba bebengamelelekile

ngesikhathi ishawa yingakhoke sibize uHulumeni nabantu abasha ukuthi bazoxoxisana.Abantu abasha asifuni basabe ukuxoxa ngepolitiki ngoba izwe libuswa iyona futhi sifuna bahambisane ngesikhathi izinto eziningi zisebenza ngobuchwepheshe ababusebenzise ukuthola ulwazi�,kusho uMkhize. UDkt Isaac Khambule ovela esikoleni sezomnotho nokuthuthukiswa komphakathi uNyuvesi i-University of KwaZulu Natal,uthe uHulumeni kumele atshale imali yokuthuthukisa osomabhizinisi abasakhula ezindaweni ezifanele akhe izimboni angabashiyi

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

ngaphandle abadayisa emgwaqweni kumele abakhele izindawo ezinesithunzi bathole izimvume ukuze bengezohilizisana namaphoyisa.UNksz Phumelele Mthembu odabuka KwaMashu ofunda eMangosuthu University of technology no Mnuz Mthobisi Luphoko odabuka esifundazweni saseMpumalanga bathi abantu abasha banemibono emihle kodwa inkinga ukuswela ulwazi lokuthola imali yokuqala amabhizinisi,bathi izigcawu ezifana nalezi zinikezana ithemba futhi bahlangana nabantu abazoba usizo kubona.


ISIFUNDAZWE ESISEZINGENI ISIFUNDAZWE ESISEZINGENI LOMHLABA SIFANELWE LOMHLABA SIFANELWE YINGQALASIZINDA ISIFUNDAZWE ESISEZINGENI YINGQALASIZINDA ESEQOPHELWENI LOMHLABA. LOMHLABA SIFANELWE ESEQOPHELWENI LOMHLABA. YINGQALASIZINDA ESEQOPHELWENI LOMHLABA. Ubude bayoyonke imigwaqo yaseNingizimu Afrika Ubude bayoyonke imigwaqo yaseNingizimu Afrika bungaphezulu kwamakhilomitha angu 747 000, okuyenza bungaphezulu kwamakhilomitha angu 747 000, okuyenza inxanxathela yemigwaqo ende kunazo zonke e-Afrika, inxanxathela yemigwaqo emhlabeni. ende kunazo zonke e-Afrika, nengeyeshumi ngobukhulu Kwa SANRAL ngobukhulu emhlabeni. Kwa SANRAL siyazinengeyeshumi ukuthi inxanxathela yethu ingenye yezinto ezimqoka ukuthi inxanxathela yethu ingenye yezinto Ubudesiyazi bayoyonke imigwaqo yaseNingizimu Afrikaezimqoka ekwenzeni izwe lethu likwazi ukuqhudelana namanye ekwenzenikwamakhilomitha izwe lethu likwazi ukuqhudelana namanye bungaphezulu angu 747 000, okuyenza ezimakethe zomhlaba. ezimakethe zomhlaba. inxanxathela yemigwaqo ende kunazo zonke e-Afrika, nengeyeshumi ngobukhulu emhlabeni. Kwa SANRAL Imikhankaso efana ne-Mount Edgecombe Imikhankaso efana ne-Mount Edgecombe interchange interchange siyazi ukuthi inxanxathela yethu ingenye yezinto ezimqoka yaseKZN; ibhuloho elide kunawo wonkealoluhlobo aloluhlobo kuyo yaseKZN; ibhuloho elide kunawo wonke kuyo ekwenzeni izwe lethu likwazi ukuqhudelana namanye ingxenye eseNingizimu yomhlaba, iqinisekisa iqinisekisa ukuthi yonkeyonke ingxenye eseNingizimu yomhlaba, ukuthi izwe lethu liba nezinga eliphakeme lokuhamba kahle ezimakethe zomhlaba. izwe lethu liba nezinga eliphakeme lokuhamba kahle

kwabantu nokuthuthwa kwempahla.Loluhlelo Loluhlelo olusha kwabantu nokuthuthwa kwempahla. olusha lwe-interchange enamaqophelo amane isinika okungenani Imikhankaso efanaenamaqophelo ne-Mount Edgecombe interchange lwe-interchange amane isinika okungenani imigudu emibili kuleyo naleyondlela enkulu. Ibandakanya yaseKZN; ibhuloho elidenaleyondlela kunawo wonke aloluhlobo kuyo imigudu emibili kuleyo enkulu. ukusetshenziswa kwama- directional ramps,Ibandakanya okwaqeda yonke ingxenye eseNingizimu yomhlaba, iqinisekisa ukuthi ukusetshenziswa kwamadirectional ramps, okwaqeda isidingo sezimpawu ezilawulwayo zemigwaqo, okuqinisekisa izwe lethu liba kahle nezinga eliphakeme lokuhamba kahleLena isidingo sezimpawu ezilawulwayo okuqinisekisa ukugeleza kwezimoto kuzo zemigwaqo, zonke izinhlangothi. ukugeleza kahle kwezimoto kuzo lomhlaba zonke izinhlangothi. kwabantu nokuthuthwa kwempahla. Loluhlelo olusha Lena yingqalasizinda eseqophelweni exhumanisa iNingizimu Afrika nekusasa. lomhlaba yingqalasizinda eseqophelweni exhumanisa lwe-interchange enamaqophelo amane isinika okungenani iNingizimu Afrika nekusasa. imigudu emibili kuleyo naleyondlela enkulu. Ibandakanya SANRAL. Beyond Roads. ukusetshenziswa kwama- directional ramps, okwaqeda SANRAL. Beyond Roads. isidingo sezimpawu ezilawulwayo zemigwaqo, okuqinisekisa www.sanral.co.za ukugeleza kahle kwezimoto kuzo zonke izinhlangothi. Lena yingqalasizinda eseqophelweni lomhlaba Reg. No. 1998/009584/30 An agency of the Department of Transport. exhumanisa www.sanral.co.za iNingizimu Afrika nekusasa. Reg. No. 1998/009584/30 An agency of the Department of Transport.

SANRAL. Beyond Roads. SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

BLUEP

BLUEPRINT 2731/MT.E/Z

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 7 BLUEPRINT 2731/MT.E/Z

JUNI / JULAYI 2019


IKHASI 8

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

JUNI / JULAYI 2019

Sivubela Intuthuko

EZEMIDLALO

Bancele ulwazi abaqeqesha izikole THABANI MAPHUMULO ITHEKU lisingathe ingqungquthela ebizwa ngokuthi iPowerade Performance Academy ebeseyisingathwa okwesithupha . Lesi khungo sisiza kakhulu abaqeqeshi basezikoleni kulesifundazwe ngoba bayazuza okuthile. Abaqeqeshi abanohlonze bebeyinxenye yaloqeqesho singabala uDick Muir, John McGrath kanye noSizwe Ndlovu. Laba bagxile ekuqeqesheni enkundleni nangaphandle kwenkudla. Ngakolunye uhlangothi uSimphiwe Dludlu oqeqesha

iqembu lesizwe labesifazane SA/U17 ukhuze ibuya nakulonyaka eqhubeka nokugqugquzela abaqeqeshi ukukhanda amaqembu abo. Njengoba kuqhubeka ukuqeqesha kuyinto ehambisana nokuziphatha okuhambisana nemigomo ukuqinisekisa imiphumela emihle, isikhungo sinika ithuba bonke abaqeqeshi abasuka ezikoleni ezahlukene ukuba babuyele emuva nomoya wokufundisa oyedwa, nokufundisa bonke. IPowerade ihlose ukuhlomulisa kakhulukazi abaqeqeshi basezikoleni okuyibona ababhekene nokuqhakambisa ikusasa leNingizimu Afrika kwezemidlalo.

Simphiwe Dludlu

Owe-Bafana umemezele iqembu eliqinile le-Afcon “ kube nokukhala kwabanye kusala ngaphandle uKermit Erasmus oqede isizini kuCape Town City esefomini enhle yokushaya amagoli.�

THABANI MAPHUMULO UMQEQESHI weqembu lesizwe iBafana

Bafana uStuart Baxter umemezele iqembu eliqinile elizomela iNingizimu Afrika kumqhudelwano we-Africa Cup

of Nations (Afcon) ozoqala mhla zi-21 kuNhlangulana uze uphothulwe mhla zi14 kuNtulikazi ezweni laseGibhithe. Elakuleli kuzokhumbuleka ukuthi sekuneminyaka lagcina ukubamba iqhaza kulomqhudelwano omkhululazi e-Afrika. Kuphele ukuqagela ngabadlali abangamashumi amabili nantathu abazomela kuleli ngenkathi uBaxter ebamemezela. Kuzokhumbuleka ukuthi iBafana yakwazi ukunqoba lomqhudelwano ngonyaka ka-1996 usingethwe kuleli ngenkathi ibhaxabula kabuhlungu iTunisia ngamagoli amabili eqandeni. Okunye okujabulisile kakhulu abathandi bebhola ukubona kubizwa uThulani Serero kuleli qembu njengoba sekunesikhathi agcina ukudlala kulona. Yize kunjalo kube nokukhala kwabanye kusala ngaphandle uKermit Erasmus oqede isizini kuCape Town City esefomini enhle yokushaya amagoli. Abanye abadlali abasalile oKeagan Dolly olimele, Rivaldo Coetzee ohambe enkambini egulelwa

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

unina , bese kuba oFortune Makaringe kanye no Ben Motshwari. IBafana iqhathwe ne-Ivory Coast, Namibia kanye neMorocco kwiqoqo elilodwa. Umdlalo wayo wokuqala izowudlala ne-Ivory Coast mhla zi-24 kuNhlangulana. Sebebonke abadlali abaqokiwe bami kanje: Goalkeepers : Darren Keet, Ronwen Williams, Bruce Bvuma Defenders : Thulani Hlatshwayo, Buhle Mkhwanazi, Sifiso Hlanti, Thamsanqa Mkhize, Ramahlwe Mphahlele, Innocent Maela, Daniel Cardoso Midfielders : Bongani Zungu, Kamohelo Mokotjo, Dean Furman, Hlompho Kekana, Tiyani Mabunda, Thulani Serero, Thembinkosi Lorch, Lebogang Maboe, Themba Zwane Forwards: Percy Tau, Lebo Mothiba, Sibusiso Vilakazi, Lars Veldwijk


Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.