Sivubela Intuthuko newspaper issue 31

Page 1

SIVUBELA Intuthuko

ADVERTISING: (031) 8222 602 EPHRELI 2019

FACEBOOK: SIVUBELA INTUTHUKO

SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

LIMAHHALA USHICILELO 31

Iyaqhubeka nokuthuthuka iDube Trade Port

Banikelelwe ngeNkulisa odado kwaMaphumulo

Uhambe kahle umjaho eZululand

IKHASI: 6

IKHASI: 4

IKHASI: 8

Kuphendulwe isoyi KDM ”Sithanda ukubonga kakhulu kumasipala wethu ngokungasibambisi udonga njengoba ngelanga sinikezwa izindlu sathenjiswa nokuthi sizofakelwa itiyela emigwaqeni yethu nangempela lokho sesiyakubona kuyenzeka namhlanje”.

Abamele uMkhandlu waKwaDukuza kanye namalungu omphakathi ngesikhathi kuphendulwa isoyi kawadi-20

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


IKHASI 2

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

EPHRELI 2019

Kubanjwe umkhuleko wabasebenzi kwiLembe SKHUMBUZO NZUZA UMKHANDLU wesiFunda iLembe wethule ngokusemthethweni iCorporate Culture ngomkhuleko obuhanjelwe amakhansela nabasebenzi boMasipala ngenhloso yokubakhumbuza ngemigomo yokusebenzela umphakathi nezinye izingqinamba ababhekana nazo emsebenzini. UMkhandlu iLembe mhlaka 7 Mashi ubenomkhuleko wokuvuselela abasebenzi ababhekana nezimo ezinzima nsukuzonke ezigcina zibanikeza ingcindezi emqondweni. IMenenja kulo Mkhandlu uMnuz Geoffrey Khumalo uthe uhlelo lwe Corporate Culture bahlose ngalo ukukhumbuza abasebenzi imigomo okumele basebenze ngaphansi kwayo nsukuzonke ngokuzinikela belandele umthetho we”’Batho Pele,’’ ukuze bafeze iphupho likaHulumeni lokuthuthukisa izimpilo zabantu bakuleli,” Kuhle sibuye sivuselelane sisodwa simeme noJehova ukuthi ahlale esinikeza amandla okubhekana nanoma iziphi izimo.Inhloso ye Corporate Cul-

ture akukona ukuthi sichitha isizungu kodwa sifuna lento iphile emithanjeni yegazi kubasebenzi bethu.”Kusho uKhumalo. Usekela Meya kulo Mkhandlu uKhansela Dolly Shandu,uthe iphupho lo Mkhandlu lize lifezeke ngaphandle komkhuleko futhi kumele ube khona njalo ekoteni yonyaka ukuze abasebenzi bezovuseleleka ngokomoya futhi bakhumbuzane ngezifungo abazenza zokusebenzela umphakathi kukuhle noma kukubi.Amabandla ahlukahlukene akhulekele uzinzo nokubekezelelana njengoba kubhekwqe okhethweni, iMeya yoMkhandlu uKhansela Sduduzo Gumede uthe luyabonakala ukuguquko lokuphuthumisa intuthuko oselwenziwe ubuholi obukhethwe ngonyaka ka 2016 wakhuthaza ukuqhubeka ngokusebenza ngokuzinikela kwiziMenenja zoMasipala.’’Njengoba kwethulwe iCorporate Culture kumele kube namakomidi azodweba indlela yokusebanza ngaphandle kokwesaba azoqinisekisa ukuthi kusetshenzwa ngokulandela imigomo

Kubhungwe ngobuchwepheshe ekusizeni omasipala kwiSALGA Indaba PHILANI MCHUNU IBE nesasasa elikhulu iKwaZulu-Natali South African Local Government Association(Salga) Indaba, ebibanjelwe Southern Sun Elangeni Maharani Hotel eThekwini. Lo mcimbi okuhlelwe ngawo ukulekelela omasipala ukubahlomisa ngokuphatha kahle impahla nokuletha ingqalasizinda emphakathini , kulokhu ubonakale ugxile kakhulu kwezobuchwepheshe besimanje ukuthuthukisa omasipala. Kule nkomfa beku khona izimeya , izinkampani zezobuchwepheshe kanye nabagxile ekubhekeleleni ezez mali kudingidwa izisombululo ezinkingeni zomasipala nendlela yokulekelelana ngezobuchwepheshe eya phambili. Iphini likasihlalo weSalga ukhansela Nonhle Mkhulisi , uthe Sialga Indaba isiyaqala ukuthela izithelo ezinhle njengoba ingxenye yomasipala sekuseduze phambili ngempumelo ekuthuthukiseni imiphakathi. “Le nkomfa ifike kahle lapho futhi kudingeka ushitsho lwesi manje oluya phambili ezindaweni ezakhelwe omasipala bethu. Ezobuchwepheshe izona zisombululo”. Ungqongqoshe wezokuBusa ngoku Bambisana nezindaba zoMdabu esifundazweni saKwaZulu-Natali ,uNkk Nomusa Dube-Ncube ,uthe kuba lula ukubalula kuthi imkhandlu ayenzi lutho, kube kukhona abathola imsebenzi, ingqalasizinda nokunye ukuthi akufiki ngesikhathi esisodwa. “Njengo hulumeni basemakhaya sisab-

hekene nenselelo yokuletha ingqalasizinda emphakthini yethu. UNgqongqoshe uphinde wahamba emazwini ka Mkhulisi okuthi omasipala abancane kumele Indaba ye (4th industrial revelation) izinguquko kwezezimboni kusamele sazi kabanzi ngakho sisebenzisa ubu chepheshe besi manje. “ Ngaphandle kokwakha nokulahlekelwa imisebenzi ngezobuchwepheshe kepha komasipala kumele sifunde kabanzi ngokuphathwa kwempahla. Ubuchwepheshe bungabathuthukisa kakhulu omasipala ngokuthi basungule izinhlelo zokusebenza phecelezi (Apps) lapho okungasho khona ukuthi endaweni ethile kune nkinga ekhona kungaba kugesi , umgwaqo kumbe ipayipi elafakwa nini ,kanjani kanti liyokhishwa nini futhi ukugwema ukuqhuma kwawo kumosheke amanzi” kusho ungqogqoshe. “Ngikusho lokhu nje ingoba ngelinye ilanga sike sadunguza ehlathini nemeya sifuna ipayipi eliqhumile lingawadlulisi amanzi. Ukulethwa kwentuthuko kungalula kuphele nemibhikisho yezingqalasizinda emphakathini, sibhekane nokungena komnotho komasipala bethu”.UKhansela Zandile Gumede,oyiMeya yeTheku uthe omasipala kune ndima enkulu okumele bayidlale ekucijeni intsha ngama khono nokulelekela ngemisebenzi. Uphinde waveza ukuthi le nkomfa iyinkundla yezi meya ukuthi zicobelelane ngolwazi ngokulethwa kwentuthuko emphakathini yazo.

Ubuholi bukamasipala wesiFunda iLembe efanele,’’kusho uGumede,izinyunyana ezimela abasebenzi okuyiSouth African Municipal Union(SAMU),Indipendent Municipal Trade Union(MATU)

kanye nabaholi bamaqembu ezepolitiki kuMasipala basayine umthetho wokuzibophezela.

Kwethulwe olokuthuthukisa abadobi KZN

SKHUMBUZO NZUZA UNGQONGQOSHE eMnyangweni wezoLimo,Amahlathi nokudoba uSenzeni Zokwana wethule ngokusemthethweni uhlelo lokuthuthukisa abadobi abasakhula kuleSifundazwe,ngaphansi komthetho iMarine Living Resources Act.Bangu 2184 KwaZulu Natal abantu abafakwe ngaphansi kohlelo lwabadobi abasakhula abayimifelandawonye. IKwaZulu Natal ingeyesibili ukuthula loluhlelo lwe Small Scale Fisheries ilandela iNorthen Cape,uMnyango usebenzisana nemiphakathi ukubumba imifelandawonye isebenzisane neziNkampani ezizobacathulisa kulomkhakha wokudoba.UZokwana wethule loluhlelo waphinde wanikeza ama Co-Operatives abadobi abangama-29 izimvume zokudoba ngokusemthethweni.”Lomkhakha ugcwele kakhulu abantu abamhlophe njengengxenye yokuletha uguquko kwezomnotho sinqume ukuthi kusukela eminyakeni emihlanu kuya kweyishumi nanhlanu sinikeze abadobi abamnyama izimvume zokudoba ngokuhlanganyela baphinde bathole uqeqesho neziluleko lakudingeka khona. Bangaphezulu kuka-2000 abadobi kuleSifundazwe abazohlomula,futhi sinezinye

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

izinhlelo zokuqinisekisa ukuthi sinikeza uqeqesho olusezingeni eliphezulu sibambisene noMnyango wezokuthuthukiswa koMnotho kuleSifundazwe,”kusho uZokwana. UNqgongqoshe eMnyangweni wezokuThuthukiswa koMnotho,ezokuvakasha kanye nokunakekelwa kweMvelo uSihle Zikalala,uthi ngokubambisana noMnyango wezoLimo kuleSifundazwe sebebeke imali ezobhekana ngqo nokuqinisekisa ukuthi loluhlelo lubayimpumelelo,”inhloso yethu ukuthi sibone lomkhakha udlondlobala ungagcini ngokuthi uxoshe ikati eziko kodwa uphinde ukwazi nokuthi abadobi bethi bahwebelane namanye amazwe.Sizosebenzisana kakhulu nemifendawonye ukuze ingezogcina ngikuthola izimvume kodwa ikwazi ukuzuza ngazo,”kusho uZikalala. Ongsihlalo kwinhlangano yabadobi iGreen Cap Paradise Co-Operative uNkk Phillie Mtshali,uthi waqala ukudoba ngonyaka ka-1988 ngoba ubaba wakhe wengumdobi kodwa ngemva kokushona kukababa wakhe kwabanzima usisi wakhe wephuma engena ejele eboshelwa ukudoba ngokungemthetho,ukuthola lemvume kufana nenkululeko emkhulula emaketangeni ngoba usezoqhubeka nomsebenzi wokudoban ngokukhululeka.


EPHRELI 2019

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 3

Kuphendulwe isoyi KDM Abamele uMkhandlu waKwaDukuza kanye namalungu omphakathi ngesikhathi kuphendulwa isoyi kawadi-20

TEBOGO SIBISI IZOQALA maduze iprojekthi yokwakhiwa komgwaqo endaweni yaseTete ngaphansi kawadi 20 okamasipala waKwaDukuza.Le projekthi iza emva kokwakhiwa kwemixhaso emisha eyahlomulisa abantu abaningi.Phambilini umasipala wazivulela wona imigwaqo

ebisiza kakhulu imiphakathi njengoba le migwaqo isizofakelwa itiyela.OnguShlalo wekomiti lezengqalasizinda nokulethwa kwentuthuko emphakathini uMnuz. Thulani Ntuli ethula inkuluma yakhe phambi kwamalungu omphakathi akule ndawo uveze ukuthi maningi amathuba emisebenzi azohlomulisa abantu bakule ndawo.’’Alinganiselwa ema-30 amathuba

Uzodla izigidi umonakalo eThekwini TEBOGO SIBISI UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu esifundazweni saKwaZulu-Natali uNkk. Nomsa Dube-Ncube uthi mukhulu umonakalo odalwe izimvula esiFundazweni ikakhulukazi eThekwini.UDube usho kanje emva kokuhambela elokishini laKwaMashu nala kade benomhlangano nomphakathi ukuzowucacisela kabanzi mayelana nebanga eselihanjwe uhulumeni ukuxazulula isimo esibhekene nomphakathi wakule ndawo.Izimvula ezinamandla ngenyanga eyedlule zihlasele elokishini laKwaMashu,Ntuzuma,Inanda,eMaoti kanye nase Verulama zashiya imindeni eminingi isele dengwane kwashona abantu abayiskhombisa. UDube-Ncube udlulise amazwi enduduzo emndenini elahlekelwe amalungu awo.”Ngifisa ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini elahlekelwe abathandiweyo babo ngenxa yezimvula bese ngiveza ukuthi ukuthi ulinganiselwa ku R100 million wamarandi umonakalo odalwe izimvula eThekwini njengoba ushiye udicilele phansi imizi yabantu kanye nengqalasizinda yemigwaqo.Kumanje kunemindeni efihle amakhanda ehholo lomphakathi eNanda ngaphansi kawadi-53 emva kokuthi izindawo zabo eziyimjondolo zingenwe amanzi zawa.Siyawunxusa umphakathi ikakhulukazi labo abahlala

emijondolo ukuthi bangakhi imijondolo ezindaweni ezisencupheni ngoba ngasosonke isikhathi sizithola sibhekana nalesisimo uma kuqhamuka izimvula ezinamandla.”kusho uDube-Ncube. UNgqongqoshe ube esebonga kakhulu ukubambisana abanakho nomasipala weTheku kanye nezinhlangano ezimele umphakathi ekukhucululeleni imigwaqo.”Ngithanda ukubonga kakhulu umasipala weTheku ngokusukumela phezulu lesigameko njengoba kumanje kunemindeni ezohlomula ngemibhede emisha,ukudla kanye nosofa emva kokuthi kweminye imizi amanzi angene amanzisa yonke impahla ephakathi.” Kanti nomeya weTheku uCllr. Zandile Gumede udlulise ukubonga amathimba ezokutakula ngokutakula izidumbu zabantu ebeziminzile eNanda kanye namalungu abambe iqhaza ekukhucululeni imigwaqo ebisigcwele imfucuza. Ungqongqoshe wezokuHlaliswa kwabantu esifundazweni uMnuz. Ravi Pillay uthe ilinganiselwa ema-55 imizi ezongena ohlwini lokulungiswa kabusha ngaphansi kohlelo i-R293.”Ngaphansi kawadi 53 ilinganiselwa ku 350 imijondolo okumele isuswe ngenxa yokuthi abanikazi bayo bayibeke endaweni ebucayi.Sinxusa umphakathi uyeke ukwakha imijondolo ezindaweni ezingafanele ngoba lokho kubeka izimpilo zawo engcupheni.’’kusho uPillay

emisebenzi azodaleka esigabeni sokuqala sokwakhiwa komgwaqo ongu-2,7 km njengoba sagcina ukuwuvula sawenza waba ibhuqu ngakho sibone kubalulekile sibuye sizowenza kahle sesiwufaka itiyela.Umphakathi kuzomele ukuqonde ukuthi lokhu asikwenzi ngoba sekuyiwa okhethweni kodwa sikwenza ngoba kufanele futhi sawuthembisa ukuwulungi-

sa lomgwaqo ngelanga kade siwunika izindlu.Okwethu namhlanje ukuphendula isoyi lakuzoqala khona umsebenzi bese futhi sinethulela usonkontileka okuyena ozokwenza umsebenzi esinethemba elikhulu lokuthi nizosebenzisana naye ngendlela efanele futhi nihloniphane ngoba asilindele ukubona sekuba khona ukuphazamiseka komsebenzi ngenxa yokunganeliseki komphakathi.’’Kuchaza uNtuli. Amalungu omphakathi azwakalise ukuyijabulela leprojekthi.UNksz.Sizakele Nxumalo uthe babonga kakhulu kumasipala ngokubalungisela lomgwaqo.”Sithanda ukubonga kakhulu kumasipala wethu ngokungasibambisi udonga njengoba ngelanga sinikezwa izindlu sathenjiswa nokuthi sizofakelwa itiyela emigwaqeni yethu nangempela lokho sesiyakubona kuyenzeka namhlanje.Kumanje kunohlelo lokufakelwa kukagesi ezindlini esihlala kuzona esazakhelwa ngumasipala futhi sinethemba lokuthi sizohlomula nangamathuba emisebenzi.Sinxusa nabanye engakafiki kubona intuthuko ukuthi babekezele.” Ukwakhiwa kwale migwaqo kuzodla uR6,5 million wamarandi kanti kulindeleke ukuthi kuthathe isikhathi esingangezinyanga ezinhlanu ukwakhiwa kwawo kusukela ngenyanga uMashi.

Bathole uxhaso abasale dengwane eThekwini “uKhansela uZandile Gumede uthe ihhovisi lakhe lizofaka isandla ukuze abantu abashonile bezogcwatshwa ngesizotha.” SKHUMBUZO NZUZA IXHASWE ngemali ewu R15 000 ngumasipala weTheku imindeni emine elahlekelwe izihlobo zayo ngemva kwezimvula ezinamandla ebezihlasele esiFundazweni saKwaZulu-Natali neshiye icekele phansi imizi yabantu kwamuka abantu abathathu ku Ward 53 kanye nabanye ababili kuWard 60 ngaphansi kaMasipala weTheku.IMeya yeTheku uKhansela uZandile Gumede uthe ihhovisi lakhe lizofaka isandla ukuze abantu abashonile bezogcwatshwa ngesizotha. UGumede ehambisana nezikhulu zalo Masipala bahlangane neMindeni ethintekile nalapho idalulekhona ukuthi bazwelana kakhulu nale Mindeni,’’Konke kuvela kuJehova yize uMasipala unazo izinhlelo zokubhekana nezinhlekelele kodwa ngeke ukuphikise okusuke kuhloswe uNkulunkulu,kuyingozi ukwakha eduzane nemifula kuwona wonke umuntu. Siyaqonda abanye abantu bafika lapha eThekwini bezozama amathuba emisebenzi bagcine sebakha noma imaphi ngaphandle kokuxhumana noMasipala okanye namakomidi afanele noma amaKhosi,lokhu okugcina kunemiphumela engemihle njengalena,kubuhlungu ok-

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

wenzekile kodwa ngiyabonga kakhulu kumaKhansela asukumele phezulu abambisana nemiphakathi,izinhlangano ezingenzi nzuzo kanye nenkampani I Re-action Unit enikele ngebhanoyi layo mahhala kwatakulwa imizimba yabantu abebembekile.UMasipala uzoxhasa ngemali engu R15 000 umndeni ngamunye,uMnyango wezokuBusa ngokubambisana nezindaba zoMdabu unikele ngamaphasela okudla kubantu abasale dengwane abakhoseliswe emahholo,kunemali engu R10 000 enikelwe osomabhizinisi baseThekwini imindeni ezohlukeniselana yona, kanti noMnyango wezokuThuthukiswa komphakathi nawo kukhona ozosiza ngakho,’’kusho uGumede. UNandipha Ngalonkulu odabuka e-Eastern Cape obehlala KwaMashu uthi yena udlulewe abantu ababili emhlabeni okuwuMama nomntwana abagcwatshwe ngesonto eMount Fleer,wathi kusenzima ukwamukela kodwa bayabonga kakhulu ngosizo abaluthola kuMasipala,uNolundi Shabane yena oshonelwe uGogo uthi yize bemgcwabe ngesonto eledlule kodwa imali ezovela kuMasipala izobasiza kakhulu ngoba lesimo sibehle ngaphezulu bewumndeni.Bayiskhombisa abantu abashonile ngenxa yezikhukhula.


IKHASI 4

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

EPHRELI 2019

Kunxuswe abeNdabuko basebenzisane noHulumeni ukulwisana nesofuba

SKHUMBUZO NZUZA

UMBIKO uveze ukuthi sisaphezulu isibalo sabantu abanesifo sofuba abangazazi futhi abangakakutholi ukwelashwa,Lokhu kushiwo usekelaMengameli uDavid Mabuza,ngesikhathi kugujwa iWorld TB Day endaweni yase Nanda Ej.L Dube Stadium Mhlaka 15 Mashi. UMabuza uthe iTheku linesibalo esiphezulu sabantu abaphila nesifo sengculazi Kanye nesifo sofuba iningi labo elingenalo ulwazi.SinguHulumeni miningi imikhankaso esesiyenzile ukuqinisekisa ukuthi silwisana nezifo ezithelelanayo. Sicela abaHoli bendabuko banxuse izakhamizi zeseke abantu abanezifo ezithelelanayo ikakhulukazi abantu abanesifo sofuba,’’kuyisiko lethu thina bantu abangamaNguni ukuthi mangabe ungaphilile uye kubelaphi bendabuko kodwa sicela amakhosi ukuthi akhuthaze abantu baye nasemitholampilo ngoba kugcina kubulalana imindeni kusolwa ukuthi kukhona abadlisiwe kanti isifo sofuba.Kubalulekile siye nasemitholampilo sithole usizo lodokotela.Isifo sofuba siyelapheka muzoyilandelayonke imilayelo yoDokotela udle amaphilisi izinyanga eziyisithupha uqede amaphilisi ngokusho koDokotela lesifo siyabulala mangabe

Usekelamengameli uMnuz. David Mabuza noMeya weTheku behambele eNanda.

uzowashiya phakathi amaphilisi,siyazi kunzima ukuwadla sicela imindeni yeseke labo asebehlolile bathola ukuthi kumele bathole ukwelashwa,’’kusho uMabuza. UNngqongqoshe eMnyangweni wezeMpilo kuzwelonke u Dk. Aron Motsaledi

Kunikelwe ngesakhiwo sodado kwaMaphumulo

Inkulisa yodado kwamaphumulo SKHUMBUZO NZUZA UMASIPALA waKwaMaphumulo ngokubambisana neNhlangano iDivine Life Society banikele ngesakhiwo i-Early Childhood Development Center eMphakathini waseKhohlwa ku Ward-2 KwaMaphumulo,ngolwesithathu lomhlaka 6 Mashi. IMeya yalo Masipala uKhansela Zibuyile Khuzwayo Dlamini,uthe ujabule kakhulu ngokuthi leNhlangano ikhombise ukukhathalela ikusasa labantwana abavela endaweni yasemakhaya ngokunikela ngalesakhiwo esizobacijela ikusasa eliqhakazile.’’Siyaziqhenya

kakhulu ngeziNhlangano ezifana nalezi lokhu okusenza sisho ngeqholo singananazi ukuthi uHulumeni uyasebenza .Kule minyaka eyedlule abantwana bebengenazo izakhiwo ezinhle kanjena futhi ezisezingeni eliphezulu ngalendlela ,namhlanjena sivula ngokusemthethweni lesakhiwo kumphakathi wase Khohlwa esethemba ukuthi uzosisebenzisa ngokucophelela usivikele kwizinswelaboya ngoba siyikusasa labantwana bawo ngisho nalabo abasazozalwa bazosizakala khona mangabe usiphathe kahke’’,kusho u Khuzwayo Dlamini.

uthe,umhlaba wonke ubhekene nenkinga yesifo sofuba,’’Ngonyaka ka 2017 kuNovemba umhlaba wonke uhlangane eNew York ukuyodingida ngalesifo sithole ukuthi bangu 4million abantu abanaso umhlaba wonke kodwa abangazi,eSouth

Africa bawu 160 000 abantu abanaso abangaziwa okusho ukuthi bayaqhubeka bathelela abanye lapho bekhona ngoba lesifo sithelelana ngomoya singasabalala kubantu ababgu 15 ngesikhathi ikakhulukazi izingane izona ezisengcupheni kakhulu,ngo Ephreli kuya kuDisemba ngonyaka owedlule siwuMnyango sihambe iSouth Africa yonke sihlolela abantu lesifo sathola abangu 38 000 abanso maqede sabaqalisa ukudla amaphilisi abazowasebenzisa izinyanga eziyisithupha njalo ngonyaka sizibophezele ukulapha abantu abangu 80 000,’’kusho uMotsaledi.IMeya yeTheku uKhansela Zandile Gumede uthe uMasipala weTheku ziningi izinhlelo ozenzayo ukuqinisekisa ukuthi abantu bahlala ezindaweni ezihlanzekile futhi nosizo lwaseMtholampilo baluthola eduzane ,wathi kubalulekile ukusebenzisa amaphilisi ngesikhathi obekelwe sona uwaqede ungawashiyi phakathi ngoba uzibona usungcono ngoba kunzima mangabe sesibuya okwesibili lesifo futhi kusuke sekubiza kakhulu ukuselapha wanxusa abaholi baNdabuko ukusebenzisana noHulumeni kulwisawane nesifo sofuba.

Intokozo kuvulwa umtapo wolwazi

UVULWE ngokusemthethweni umtapo wolwazi owaziwa nge-modular library eDalibho ngaseBhamshela, eWard2. Lo mtapo uvulwe wuNgqongqoshe wakwa-Arts, Culture, Sports and Recreation uNkk Bongi Sithole-Moloi. Ukuvulwa kwawo kuqondane nemigubo yeViki LemiTapo, iLibrary Week eqale mhlaka 18 kuya kumhlaka 24 March 2019. Kulo mtapo kukhona lonke uhlobo lwezinsiza kubantu abafisa ukufunda ukusebenzisa ama-computer futhi kukhona nothisha abazobasiza ngoqeqesho, kuthi intsha ekwaziyo ukubhala nge-computer kepha ifisa ukwenza nokuchibiyela amaCV inekhosomba layo nayo. Kanjalo nomakoti nomama abafisa ukuqhubeka nokufunda kepha benabantwana, ikhona indawo enamathoyizi abantwana la belinda khonabegadiwe abe umzali efunda. UNgqongqoshe SitholeMoloi uthe lemitapo ebizwa ngama-mod-

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

ular ayihluke ngalutho kwejwayelekile ngaphandle kokuthi isakhiwo sayo kusuke kungewona amabhloksi nosimende kepha wathi konke kuyatholakala kulama-modular ngoba noma incwadi bengenayo abasebenzi basemtapweni bazokwazi ukuyibheka kwenye i-library bese beyi order ukuze lowo oyidingayo ayithole. Uthe akumnqindanga amandla ukugqekezwa kwalesi sikhungo ngeviki eledlule, wathi kunalokho kumfakele umfutho wokuthi angavumi izigelekeqe kuwine zona, ethi bezeba impahla yomphakathi ngoba zicabanga ukuthi sekuzoma nse ukuvulwa kwalesi sikhungo kanti zishaye phansi. IMeya yaseNdwedwe uCllr NV Chili yamukele lomtapo yathi iyethemba ukuthi umphakathi uzowuphathisa okwezikhali zamaNtungwa umtapo kwazise usiza nezikole zaseMshwathi eziseduze neBhamshela.1


EPHRELI 2019

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 5

Kusaqhubeka kahle ukwakhiwa kwesiphehli samanzi eMfume “Sinalo ulwazi lokuthi isiFundzwe saKwaZulu-Natali sike sabhekana nenkinga yamanzi futhi nakwezinye izindawo amanzi ayavalwa ngamahora athize ukuze ongeke nathi siyacela lawomahora avulwa ngawo kube isemini ukuze wonke umuntu akwazi ukuwathola amanzi.” TEBOGO SIBISI

Isiphehli samanzi esakhiwa endaweni yaseMpulo ngaphansi kawadi 105 esizosabalalisa amanzi kuzona zonke izindawo. AMALUNGU omphakathi ahlala kawadi-105 ngaphansi kamasipala weTheku athi anethemba lokuthi sezizoxazululeka izinkinga zamanzi njengoba kuqhubeka isiphehli samanzi esakhiwayo endaweni yaseMpulo kulandela ukuhlasela kwenkinga yamanzi ezindaweni eziningi ezakhele lewadi.Lo mphakathi usho kanje kade uvakashelwe yiphephandaba lo mphakathi iSivubela Intuthuko ngenhloso yokuzozwa kabanzi ngezinkinga nezincomo zamanzi kanye nokuthuthwa kwendle njengoba kuyi-Water Month.Kuzokhumbuleka ukuthi kusukela ngonyaka odlule lewadi ibhekene nenkinga yokushodelwa amanzi yize ikhona imizamo eyihlinzekwa ngumasipala.Oyilungu lekomiti lezaManzi noGesi ngaphansi kwale wadi uNksz.

Nondumiso Maphumulo uthe yize zikhona izimoto ezihlenzeka ngamanzi kodwa banesifiso sokuthi kwandiswe isibalo sazo. “ Ukubona uqhubeka kahle umsebenzi wakwakhiwa kwesiphehli sinethemba elikhulu ekutheni Uma siphothulwa ukwakhiwa amanzi siyowathola ngendlela esifisa ngayo.Uhlelo lwamaloli athwala amanzi luyawenza umehluko emphakathini wethu ngoba zifika nsukuzonke futhi njengabaxhumanisi bemiphakathi siyaqinisekisa ukuthi zihambela zonke izindawo ukuze abantu bathole usizo ngokulingana.Kumanje sinalo ithemba lokuthi lezinkinga zizoxazululeka kalula ngoba khona isiphehli samanzi esakhiwayo endaweni yase-Odidini,Qumbu kanye naseNtukwini okuyipayipi elizophumela eNyon’emhlophe endaweni yaseMdumezulu.Ukubona kwakhiwa lesiphehli kusinika ithemba lokuthi labo abanayo ingqalasizinda bazokwazi ukuwathola emagcekeni amanzi maduze.”Kuchaza uMaphumulo UMaphumulo uqhube wathi siyawubonga kakhulu umzamo owenziwa umasipala weTheku ngokusinikeza amanzi ngamahora athize ngoba lokho kusinikeza ithuba likuthi sibenawo emakhaya ethu.”Sinalo ulwazi lokuthi isiFundazwe saKwaZulu-Natali sike sabhekana nenkinga yamanzi futhi nakwezinye izindawo amanzi ayavalwa ngamahora athize ukuze ongeke nathi siyacela lawomahora avulwa ngawo kube isemini ukuze wonke umuntu akwazi ukuwathola amanzi.”kuphetha uMaphumulo.

Ukhansela wakule wadi uCllr. Ayanda Ndlovu uthe uyalwazi udaba lwenkinga yamanzi kodwa ilinyazwa ukuba nkulu kwewadi.”Iwadi yethu ihlukene izigodi ezinga-28 kulezi ndawo zikhona ezingenayo ingqalasizinda yamanzi efana nompompi kanye namapayipi kodwa umasipala wanquma ukuzifaka ngaphansi kohlelo lokuhlinzekwa ngamaloli.Lolu hlelo luhamba kahle kakhulu ngoba izimoto zifika nsukuzonke,into eyenza lube

Oyilungu lekomiti elibhekelela ezaManzi noGesi kuwadi 105 uNksz. Nondumiso Maphumulo

Abasebenzi bakamasipala weTheku befaka amathangi amanzi abizwa ngoJojo Tank. nokuphazamiseka ingenxa yokuthi kulezindawo ezinayo ingqalisizinda amanzi awaphumi lokho kube sekuholela ekutheni amaloli aphakele yonke iwadi. Umphakathi wethu sawuchazela ngezinselelo esibhekene nazo mayelana neziphehli zamanzi ezakhiwayo ezizosabalalisa amanzi ezindaweni ezinom-

pompi bese kulezo ezingenabo uhlelo lokufakelwa kwabo luyeza maduze ngoba sikholelwa ekutheni amanzi abalulekile kuwona wonke umuntu.Siwubonga kakhulu umasipala wethu ngohlelo oluhle owasenzela lokuhlinzeka izindawo ezifana nakoNdaya,Isilethu,Ematsheketsheni kanye naseChobeni ngamathangi oJojo lokho kusethule umthwalo ngoba abantu sebeyakwazi ukuba namanzi amaningi uma kade kunethe imvula.kusho uCllr. Ndlovu. Kuzokhumbuleka ukuthi le wadi ingamanye yamawadi aqhamuke ngesikhathi kunohlelo lokuklanywa kwemingcele ngonyaka ka-2016 kanti ibingaphansi kamasipala wakwaVulamehlo.

ETHEKWINI MUNICIPALITY WATER POLLUTION COMPLAINTS AND EMERGENCIES LINE

080 13 13 013

WHATSAPP WATER REPORTING LINE

073 148 3477

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


IKHASI 6

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

EPHRELI 2019

“Kuxosha abatshalizimali ukungabibikho kozinzo” Mkhize

Ungqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kuzwelonke uDk. Zweli Mkhize kanye nowesiFundazwe uNkk. Nomsa dube Ncube SKHUMBUZO NZUZA UKUBAMBISANI kwamaqembu ezePolitiki koMasipala ,ukukhishwa kwamathenda ngendlela engafanele,inkohlakalo,ukuqashana ngokwazana iko-

na okuphazamisa ukuhanjiswa kwezidingo emiphakathini.Lokhu kushiwo iloyo ongungqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu uDk. Zweli Mkhize uMkhize ngesikhathi kumhlangano iKwaZulu Natal Local

Kwethule isigaba sesibili sentuthuko eDube Trade Port

Government Audit Indaba ebisingethelwe eThekwini ebihanjelwe ibona bonke oMasipala bakulesiFundazwe. UMkhize ugxeke ukungabibikho kohlelo olucacile lokuhambisa kwentuthuko emiphakathini athi lokhu kuholela ekutheni kugcine kuba nemali eningi ebuyela kuHulumeni omkhulu ngenxa yokuthi oMasipala basuke bengazi ukuthi bazoyisebenzisa kanjani kodwa umphakathi untula.Ukungabi nozinzo koMasipala nabaholi abangawukhathalele umsebenzi abafunga bathi bazowenza kukhinyabeza iphupho likaHulumeni lokuthuthukisa izimpilo zabantu.Kumanje kunoMasipala abahanjiswe ezinkantolo yinkampani ehlinzeka ngogesi u-Eskom ngoba behluleka ukukhokha izikweletu zikagesi.’’ ‘’Ukubona uMasipala ongakwazi ukusebenzisa imali ngendlela efanele nonenkohlakalo kulula ngaphandle kokuthi kuze kusho umcwaningi mabhuku ukuthi uMasipala othile usebenzise budlabha izimali,ukuba namapayipi amanzi avuzayo,ukugcola kwemigwaqo

Kugqugquzelwe ukuhlonishwa kwabakhubazekile e Mhlathuze

SKHUMBUZO NZUZA

Intuthuko eqhubeka eDube Trade Port SKHUMBUZO NZUZA UNGQONGQOSHE woMnyangweni wezokuThuthukiswa koMnotho ezokuVakasha nokunakekelwa kweMvelo uMnuz. uSihle Zikalala weThule intuthuko yesigaba sesibili yemali engu R18 billion kwisizinda sezimboni iDube Trade Port,mhlaka 20 Mashi kanti lo Mnyango wethule lolu hlelo olulandela olokuqala olwethulwe ngonyaka ka 2010. UZikalala uthe isigaba sokuqala besimumethe izimboni ezingaphezulu kuka 37 kule ndawo engama Hektha angu 45 asaqhubeka nokwakhiwa eyisizinda sezimboni,’’ Lendawo sifuna ibe ehamba phambili kwezohwebo engxenyeni eseningizimu ne-Africa,isigaba sokuqala sisungule imisebenzi engu 12 000,njengoba besinemboni ekhiqiza amaselula

I Samsung, iMahindra okuyinkampani ekhiqiza izimoto yaseNdiya, inkampani ekhanda ogear Box iRos SA kanye nezinye izikampani lokhu okukhombisa ukuthi isigaba sokuqala sibe yimpumelelo.Inkamani iMother Group isayine isivumelwano sokusebenzisana ne Dube Trade Port sokuthi izotshala imali engu R1.5billion kulendawo kufakwe izimboni eziningi,lokho okuzosimamisa umnotho wakuleli kwakheke imisebenzi, lesigaba sesibili sizokwakha imisebenzi silindele ukuthi eminyakeni emihlani ikwazi ukubeka ebalazweni lendawo njengesizinda somnotho,’’kubeka uZikalala. Isikhulu esiphezulu kwiDube Trade Port uMnuz Hamish Eskaind,uthi lesigaba sesibili sizosungula imisebenzi engu 2000 egcwele kanye nemisebenzi engu 3000 eyitoho.

kanye nemibhikisho yezidingo lokho kukodwa kuyakutshela ukuthi kukhona okushaya amanzi ngokusebenza kwalowo Masipala,akuyona iKweZulu-Natali kuphela ebhekene nale nkinga yokungaphathwa kahle kwezimali kodwa zonke iziFundazwe zinalenkinga ,uMnyango wezokuBusa ngokubambisana nezindaba zoMdabu iwona okumele usombulule lenkinga kungakafiki umcwaningi mabhuku ngoba ukungabikho kozinzo kuMasipala kuxosha abatshalizimali,’’kusho uMkhize. UNgqongqosheshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kulesiFundazwe uNomsa Dube-Ncube uthe koMasipala abawu 54 KwaZulu-Natali u-20% kuphela abantu abanesipiliyoni u-80% abantu abasha koMasipala kodwa abadinga ukusizwa ilabo abanesipiliyoni,wathi uMnyango wakhe uyazama ukuqinisekisa ukuthi oMasipala basebenza ngendlela yize bedumele ngombiko kamncwaningi mabhuku wonyaka wezimali ka 2017/2018 othinta iKwaZulu Natal.

ABANTU abakhubazekile bakhala ngemihlahlandlela yezethembiso yamaqembu ezombusazwe,ukuthi ibukela phansi isithunzi sabo ngoba ayisho lutho ngabantu abakhubazekile.Lokhu kushiwo usihlalo wenhlangano yabakhubazekile iMhlathuze Disable Persons Forum uMnuz Bheki Sibiya ngesikhathi uMasipala waseMhlathuze usingethe umhlangano wokudingida izindaba ezithinta abantu abakhubazekile nabobonke abantu abangenawo amandla okuzivikela,mhlaka 28 Mashi enkundleni yezemidlalo iNgwelezane Sport Field. UMnuz Bheki Sibiya,uthi kufikisela ngamahloni ukuthi kusenemindeni engafuni abantu abakhubazekile bahambe ngokukhululeka emphakathini bayabafihla emakhaya,”phambilini bekunzima ngisho ukuzibika kwabesifazane ngoba besithwalwa ngezingubo wafika uHulumeni obusayo wasikhulula kulawomaketango okufihlwa,kuyadumaza ukuthi imihlahlandlela yezethembiso yamaqembu ezombusazwe inokubukela phansi abantu abakhubazekile mina ngingasho nje ukuthi abantu abakhala ngoHulumeni bethi owamalungelo kuthina esikhubazekile uyinkomishi yetiye ngoba noma silala sidlile kungenxa

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

yakhe abanye abathule.Okunye okungiphatha kabi ukuthi abanye babasebenzi bakaHulumeni abakawazi amagama afanele okumele bawasebenzise ukubiza abantu abakhubazekile ngendlela basasebenzisa amagama anenhlabathi okuthi abantu abaphila nokukhubazeka kanti abantu abakhubazekile nje,”kusho uSibiya. USekela Meya kuMasipala waseMhlathuze uKhansela Dudu Sibiya uthe basebenzise inyanga yamalungelo uMashi ukukhumbuza abantu ngokubaluleka kokuhlonishwa kwabantu abakhubazekile,izingane kanye nabantu besifazane,”singuMasipala sizimisele ukuqinisekisa ukuthi abasebenzi bethu kanye namaphoyisa bayithathela ohrzulu imibiko yokuhlukunyezwa kwabantu abakhubazekile futhi nabo abantu abahlukunyezwayo abangafeli ngaphakathi kodwa abasukume bakubike lokho kungaze kudlebeleke.Namhlanjena siwuMasipala sihlangane nabantu abangaphezulu kuka 1500 abakhubazekile sabanikeza izihlalo ezinamasondo ukuze kuzoba lula ukuzenzela kubona,udaba lwemfundo,izindlu kanye nezempilo iwona mphako abasinike wona ukuthi silubhekisise kulezonhlangothi ngoba basasalele emva kakhulu kuleyomikhakha,”kubeka uSekela Meya uSibiya.


EPHRELI 2019

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Sizoqanjwa kabusha isibhedlela iStanger

Umeya waKwaDukuza uCllr. Ricardo ebambe isithangami nabezindaba TEBOGO SIBISI KULINDELEKE ukuthi umnyango wezempilo esifundazweni saKwaZulu-Natali uhlangane namalungu omphakathi ahlala ngaphansi kamasipala waKwadukuza ngenhloso yokuthi ungqongqoshe walomnyango uDk. Sbongiseni Dlomo ezozizwela ngokwakhe ezivumela ngokushintshwa kwegama lesibhedlela iStanger Hospital sibizwe ngoGeneral Gizenga Mpanza ongomunye wabalwela inkululeko yakuleli.Lokhu kudalulwe umeya wakulomasipala uCllr. Ricardo

Mthembu kulelisonto esithangamini nabezindaba ebisibanjelwe emahhovisi aloMkhandlu ngemva komhlangano wokudedelwa kombiko ka2017/2018 ngokusebenza kamasipala ngokulethwa kwezidingongqangi emphakathi. UMthembu uthe konke sekumi ngomumo ngokushintshwa kwegama lale sbhedlela.”Sesihlanganile nomphakathi sawunika ithuba lokuzwakalisa imibonoyawo ngokushintshwa kwalesbhedlela sibambisene nomasipala wesiFunda iLembe esingaphansi kwawo osekusele ukuthi uNgqongqoshe uDlomo afike

ukuzoqinisekisa ukuvuma komphakathi ngesonto elizayo lomhlaka 5 Ephreli 2019.Njengoba sigubha iminyaka enga-25 izwe lakithi lathola inkululeko sibone kubalulekile sihloniphe uGeneral Gizenga Mpanza ngeqhaza alibamba ngesikhathi sobandlululo.Umcimbi omkhulu wokushintshwa kwegama siwuhlelele ukuthi ube ngomhlaka 25 Ephreli 2019.”Kuchaza uMthembu UMthembu ube eseveza ukuthi bewumasipala bazoqala uhlelo olusha lokulwisana nokuntshontshwa kukagesi.”Sizoqala uhlelo olusha olubizwa ngesmart metering system noluzosebenza ngokuthi sibheke kwisystem yethu labo abasenzisa ugesi bengawukhokheli.Iningi kakhulu imali esilahlekelayo ngenxa yabantu abangafuni ukukhokhela ugesi.Uhlelo esizosebenza ngalo yilona eselizokwazi ukusivezela izindawo ezintshotsha ugesi ngoba sikuqaphelile ukuthi uma sithumela abasebenzi bengena umnyango nomnyango behlola bagcina sebethola ukuhlaselwa ngamalungu omphakathi okuyinto esingahambisani nayo.Ngalolu hlelo sizokwazi ukucisha ugesi kulabo abangawukhokheli ngaphandle kokuthi size siye ezindaweni zabo.Izindawo ezifana namabhilidi amakhulu,amaflethi,amahhotela kanye nezinxanxathela zezitolo yizona zindawo esizoqala ukugasela kuzona.’’Kusho uMthembu.

Kunxuswe abesifazane bazibike izigameko zokuhlukunyezwa

TEBOGO SIBISI UKWANDA kwezigameko zobulawa ngesihluku kwabesifazane endaweni yaseNtshawini ngaphansi kamasipala waKwaDukuza kuholele ekutheni lomasipala ubungaze usuku lwamaLungelo abantu (Human Right Day) ngokuba nemashi ebihambisana neziqubulo ezizwakalisa ukulwisana nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane. Abaholi balo masipala ngokubambisana nomnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu esiFundazweni uNkk. Nomsa Dube-Ncube kanye namalungu omphakathi babambe imashi ebisuka estobhini sebhasi esaziwa ngokuthi ikwa-Mbambo bephethe izingqwembe ezibhalwe imiyalezo elwisana nokuhlunyezwa kwamalungelo abantu besifazane bayibhekisa enkundleni yezemidlalo iChris Hani ngenhloso yokuyobungaza kanye nomphakathi ukuze becobelelane nangezinhelo ezikhona ezilwisana nalesihlava.OnguSomlomo kamasipala uCllr. Phumlile Zulu uthe bakhethe ukugubha lolusuku endaweni yaseNt-

shawini kulandela izigameko eziningi zokubulawa ngesihluku kwabesfazane kule ndawo.”Ngonyaka odlule sibone izigameko ezishaqisayo zokuphucwa ilungelo lokuphila kubantu besfazane sabona kukuhle sibungaze usuku lwamalungelo ngokuba nemashi siyihlanganise nomkhuleko wakukhuleko lezigameko ngoba sikholelwa ekutheni konke okubi masikubeka kuMdali kunganqandeka.Esinye sesigameko esasishiya simangele esowesilisa owabulala uNkosikazi wakhe wamgqiba endlini kwaze kwaba utholakala emva kwesikhathi izingane zihamba phezu kwakhe unina wazo kodwa zingazi,lokhu sakubona kuhambisana nobulwane.Siyanxusa namalungu emindeni nemiphakathi bengathuli nokuhlukumezeka emakhaya noma ngabe iyiphi indlela ngoba abanye baze bagcine bebulawa nje kusuke sekukade bephila nokuhlukunyezwa isikhathi eside ngoba bekholelwa ekutheni izindaba zemindeni aziphumeli ngaphandle.Sinazo izinhlelo njengomasipala eziqondene nabesifazane okuyilapho sisuke sikhulisana ngamalungelo ethu kanye nokugqugquzela ekutheni sizibike ezinhlakeni ezifanele izigameko zokuhlukunyezwa’’Kusho uCllr. Zulu. UNkk. Nomsa Dube-Ncube ugqugquzele abesifazane ukuba bawazi futhi bawamele amalungelo abo.” Wonke umuntu wesifazane kumele alazi ilungelo lakhe lihamba ligcinephi. asingakavumeli ukubukeleka phansi kwamalungelo ethu.Lolu suku lwanamhlanje lungathi sonke sizwe saseNingizimu Africa ziyathusa izigameko esisizwayo ezike zenzeka kulendawo esikuyona abantu besfazane bebulawa ngesihluku ngoba nakhu kuthiwa abakwazi ukuziphndiselela.Siyafisa amalungu omphakathi akulendawo akuqinisekise ngasosonke isikhathi ukuthi bayawavikela amalungelo abantu besifazane ngoba bayinzalabantu yesizwe.”

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 7

SIVUBELA Intuthuko ITHIMBA LEPHEPHA

>> UMHLELI MAKHOSI MNGOMA makhosi@sivubelaintuthuko.co.za 083 618 4252

>> IPHINI LOMHLELI TEBOGO SIBISI tebogo@sivubelaintuthuko.co.za 079 245 8462

>> INTATHELI YEZEMIDLALO THABANI MAPHUMULO trmaphumulo@gmail.com 081 794 8407

>> GRAPHIC DESIGNER AND LAYOUT LINDA MAZIBUKO trusouth1@gmail.com 079 535 0581 IWEBSITE YETHU www.sivubelaintuthuko.co.za FACEBOOK sivubela intuthuko TWITTER @sivubela intuthuko INSTAGRAM sivubelaintuthuko IKHELI LETHU B 33 Ten Acre Thembeni Groutville P.O Box 4473, Stanger4450 Gordon No.2 Road Morningside, Durban 4000 UMA UFUNA UKUKHANGISA KULELIPHEPHANDABA , SHAYELA 031 822 2602/083 618 4252


IKHASI 8

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

EPHRELI 2019

Sivubela Intuthuko

EZEMIDLALO

UMasipala ukwazile ukonga imali kwiMarathon THABANI MAPHUMULO UMASIPALA wesifunda iZululand eNyakatho nesiFundazwe saKwaZulu-Natali uzishaya isifuba ngokusingatha iZululand Ultra Marathon yalo nyaka ngempumelelo. Lo masipala njalo ngonyaka usingatha lo mjaho wabasubathi osuka kwaNongoma uphothulwe oNdini nokhombisa elikhulu isasasa.Usekelameya lo masipala uMavis Kunene uthi bayajabula ngoba bakwazile ukonga imali kulo nyaka. “Sijabule kakhulu ngokusingatha lo mqhudelwano ngempumelelo njengoba sikwazile ukonga imali kwazise azisekho

izimoto ebezinqotshwa ngaphambilini. Siyazi ukuthi imali isebenza kakhulu ekuletheni izinsiza zomphakathi,” kusho Kunene. UKunene uphinde uyichithile indaba yokuthi lo mcimbi kungenzeka ungabikhona ngonyaka ozayo. “Siyazi ukuthi abantu bayohlezi bekhuluma thina esikwaziyo lom jaho uzohlezi ukhona futhi nangonyaka ozayo uzoqhubeka ubekhona,” kuphethe Kunene. Abasubathi abaningi lomjaho bayaye bawusebenzise ukungenela umjaho omkhulu iComrades Marathon. Lowo onqobile kwabesifazene ku 56 km uWinile Mnisi uzwakalise ukujabula ka-

khulu emva kokunqoba lo mjaho. “Ngijabule emva kokunqoba ukuba umsubathi kuyayishintsha kakhulu impilo. Ngiyayibona imiphumelo ngokuba umsubathi njengoba ngifundisa abantwana ngiphinde ngibhekelele ikhaya” kusho Mnisi. Nalowo onqobile kwabesilisa uNkosikhona Mhlakwane uzwakalise injabulo enkulu ngokunqoba kwazise usebenze

ngokukhulu ukuzikhandla. “Ngifisa ukusho bengiqala ukungenela ibanga elingaka kodwa ngijabule kakhulu ngendlela engisebenze ngayo. Ngifisa nokunxusa intsha ukuba izihlanganise nezemidlalo ukugwema izidakamizwa,” kusho Mhlakwane Abanqobile bahambe nemali eyisamba sika -R80 000 isibili kwaba -R40 00 kanti isithathu kwaba R30 000.

Eyotshwala ihlanganise umphakathi ngezemidlalo

#NFD FIXTURES DATE: SATURDAY, 30 MARCH 2019, TIME: 15H00 REAL KINGS VS AJAX CAPE TOWN

THABANI MAPHUMULO INKAMPANI ephisa utshwala ihlanganise umphakathi ngezemidlalo yaphinde yethula nejezi lokweseka amaqembu esizwe akuleli. Isikhulu salenkampani uVaughan Croeser uthi lokhu abakwenzile bafuna ukugqugquzela ukwesekwa kwawesizwe njengoba ezobayinxenye. “Amaqembu esizwe esiwasekayo azoba yinxenye yemiqhudelwano emikhulu sigqugquzela ukuthi umphakathi uweseke, yingakho sethule nejezi elisha ,”

kuqhuba uCroeser. Abathandi bebhola bebehlangene eMandela Square eGoli ukuzobungaza nalenkampan njengoba bephinde bajabulela ukunqoba kwayo yazibekisela indawo ku-Afcon 2019 ezoba se-Egypt ngenyanga uNhlangulana. “Sifuna ukuqinisekisa ukuthi sihlanganisa izinhlobo ezahlukene zabantu ukulwisana nokubekana amabala kanjalo nokucwasana nokuhlukemezana kwabantu,” kuphetha Croeser.

WITBANK SPURS VS TTM FC

ROYAL EAGLE VS CAPE UMOYA UNITED UBUNTU CAPE TOWN VS TS SPORTING

DATE: SUNDAY, 31 MARCH 2019, TIME: 15H00 TS GALAXY VS MBOMBELA UNITED

STELLENBOSCH FC VS UNIV. OF PRETORIA

UTHONGATHI FC VS MACCABI FC

RICHARDS BAY VS JOMO COSMOS

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.