Sivubela Intuthuko newspaper

Page 1

SIVUBELA Intuthuko

ADVERTISING: (031) 8222 602 UMASHI 2019

FACEBOOK: SIVUBELA INTUTHUKO

SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

LIMAHHALA USHICILELO 30

Uyaqhubeka nokuThuthuka uMkhosi weSizwe sakwaTembe

Umphathi westeshi iNanda FM kanye nabaxhasi boMkhuleko

uSphesishle Mtungwa no Brandon Naude

IKHASI: 2

IKHASI: 6

IKHASI: 8

Uhamba phambili owaseMandeni ekuqhubeni uhlelo lwama-EPWP Udaba Kwikhasi: 3

Kusuka kwesokunxele uCllr. Siphesihle Zulu, umeya wesifunda iLembe uCllr Siduduzo Gumede, umeya waKwaDukuza uCllr. Ricardo Mthembu kanye noMeya wakwaMaphumulo uCllr. Zibuyisile Khuzwayo-Dlamini

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


IKHASI 2

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

UMASHI 2019

Uyaqhubeka nokuThuthuka uMkhosi weSizwe sakwaTembe TEBOGO SIBISI

IBONGE ukwesekwa ekuthola emphakathini ewuholayo iNkosi yesizwe sakwaTembe iNkosi Mabhuda Tembe ngasosonke isikhathi uma usingethe imicimbi.Inkosi uTembe isho kanje ngesikhathi kuqhubeka umcimbi woMthayi Amarula Festival obubanjelwe endaweni yaseMfumeni ngaphansi kamasipala uMkhanyakude.Lomcimbi usuqede iminyaka eyi-9 usingathelwa kulendawo kanti udlala indima enkulu ekuqhakambiseni amasiko kanye nemvelaphi.”Lon uMkhosi ongemusha ubusingathwa ngamaKhosi angaphambilini engihleli esihlalweni sawo esizwe sakwaTembe,Umehluko ngawo kusukela eminyakeni eyi-9 kuba ukuthi usuthuthukise izinga wadlala indima enkulu nakosomabhizinisi bendawo. Ngalomkhosi njengesizwe sakwaTembe esiwubamba njalo ekuqaleni konyaka sisuke sicela izinhlanhla,izinhlanhla

Inkosi yakwaTembe

kanye nokuthula.Sikubonga ukuwubona umfinyelela nakulelizinga elinobambisana nomphakathi.Ukugujwa kwalomkhosi uma kuhambe kahle sikubona kakhulu ekuqhubekeni konyaka ngokuba nokuthula njengoba usufakake nemfundiso yokunciphisa izimpi emphakathini. Sisezinhlelweni zokusebenzisana nenye yezimboni eseSwazini ngomkhiqizo esinawo wamaganu ngoba kumanje sekusele kancane sifike esivumelwaneni esizoosenza sisebenzisane ngokuthula ngoba asifuni ekuhambeni kwesikhathi sibhekane nezihibe.”Kusho iNkosi uTembe. Kusenjalo uSekelangqongqoshe weZolimo,ezaMahlathi kanye nokuDoba uMnuz. Sifiso Buthelezi uthe isifiso sabo njengomnyango ukubona isithelo samaganu sidayiseka ngokwezifunda ukuze sitholwe ukusekwa nangabakhiqizi abazimele ngendlela efanele.

Liyakhula isasasa lo mcimbi wesizwe sakwaKhumalo SKHUMBUZO NZUZA UNGQONGQOSHE eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uNkk .Nomsa Dube-Ncube ushayele ihlombe Isizwe samaNtungwa esingaphansi kobuholi beNkosi uSiphamandla Khumalo ngokusebenzisa umcimbi walesizwe waminyaka yonke obizwa ngokuthi iQomintaba Cultural Festival ukulwisana nezinto ezikhahlameza umphakathi wakule ndawo,Lo mcimbi ububanjelwe e-Utrecht ngaphansi kukaMasipala iMadlangeni kanti kusuke kugujwa isiko nemvelaphi yesizwe samaNtungwa,kuphinde kukhuthazwe netsha ngokubaluleka kwemfundo

,ukuhlonipha abantu abadala Kanye nokulwisana nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane.Inkosi uKhum-

alo uthe likhulu isasa lalo mcimbi obukeka ukhula minyaka yonke abantu bakhombisa intshisekelo enkulu lokhu

okufakazelwa izindimbane zabantu abavela kusona lesizwe abebeyingxenye yalolu suku. UDube-Ncube ubongele iNkosi yesizwe sasemaNtungweni ngokusebenza kanzima ukubumba nokuletha inqubekela phambili kulesizwe.’’IKwaZulu-Natali ibusisekile ngokuba namakhosi anjengo Khumalo asophondweni ukuza nemibono emisha engasetshenziswa ukukhulisa imiphakathi ngolwazi.Lokhu kunciphisa umthwalo kuHulumeni wokulwa nobubha nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane’’,kusho uDube-Ncube.Amaqembu omculo wesicathamiya abeshiyelana inkundla kulo mcimbi kugidwa nengoma.

Kubanjwe umkhuleko wokulwisana nobugebengu eMandeni

SKHUMBUZO NZUZA UHAMBE kahle umkhuleko obuhlelwe umasipala waseMandeni wokunxusa uNkulunkulu angenelela ukuselele onembeza babantu abakhele lendawo.Lo masipala ngenyanga eyedlule ngokubambisana nemiNyango kaHulumeni eyahlukahlukene,inkampani ekhiqiza uphuzo oludakayo iLiquor Authority Kanye namabandla basingathe ngempumelelo uMkhuleko wokukhulekela izinkinga ezikhahlameza uMphakathi waseMandeni. Kulo Mkhuleko iMeya yaseMandeni uKhansela Sphesihle Zulu uthe inhloso yawo bekukukhulekela

ubelelesi,ukubulawa kwamaphoyisa,ukusetshenziswa kwezidakamizwa,ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane,ukubulalana Kanye nokubekezelelana kwamaqembu ezoMbusazwe njengoba kubhekwe okhethweni. “Izinto zesikhathi samanje azisafani nensikhathi esasiphila kusona.Phambilini besisaba izilwane zasendle ukuthi zizosenza isilo sengubo kodwa manje sesebaba omunye umuntu,ngalo Mkhuleko sithi uNkulunkulu akalethe umoya woguquko konembeza babantu bakule ndawo engifuna nikwazi indawo yase Mandeni ayichazwa ngemimfula noma izintaba kodwa ichazwa ngabantu abaphila kuyona ukuthi baziphethe kanjani,ngaleyondlela ngithi

asibambisaneni sonke siqumbe phansi ubelelesi kulendawo ukuze izoba negama elihle njalo,’’kusho uZulu. Izinga lokusetshenziswa kophuzo oludakayo nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane ikona okudla lubi kule ndawo,nokuyizona zinto uZulu akhale ngazo kakhulu.Ngemva komkhuleko amaqembu ezepolitiki,abefundisi Kanye neminyango kaHulumeni basayine isivumelwano sokuzibophezela ukushumayela ivangeli lokuthula nokubekezelelana njengoba kubhekwe kwisikhathi sokhetho.UZulu uthe indawo yase Mandeni akungabi ikampunzi edlemini abantu abatshele amaphoyisa ngemigulukudu bangayifihli emakhaya.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


UMASHI 2019

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 3

Uhamba phambili owaseMandeni ekuqhubeni uhlelo lwama-EPWP

Kusuka kwesokunxele uCllr. Siphesihle Zulu, umeya wesifunda iLembe uCllr Siduduzo Gumede, umeya waKwaDukuza uCllr. Ricardo Mthembu kanye noMeya wakwaMaphumulo uCllr. Zibuyisile Khuzwayo-Dlamini SKHUMBUZO NZUZA UBONGELE uMasipala waseMandeni umeya woMkhandlu wesiFunda iLembe uKhansela Siduduzo Gumede ngokuhlabana ngendondo i-KAMOSO Award njengoMasipala oqhuba kahle uhlelo lwe –EPWP,wathi likhulu iqhaza elibanjwa ilolu hlelo kubantu emiphakathini eyahlukene. Lokhu kuvele ngesikahthi umnyango obhekelele ukusebenza komphakathi usingathe umhlangano wokucacisela kabanzi oMasipala ngokubaluleka kohlelo lwemisebenzi luka Hulumeni wesifundazwe olwaziwa nge-EPWP.Umhlangano

i-Expanded Public Works Programme Workshop ibihanjwelwe iwona wonke amakhansela angaphansi koMkhandlu iLembe mhlaka 20 Febhuwari eHholo iKwaDukuza Town Hall,iziMeya,amasekela eziMeya, oSotswebhu Kanye neziMenenja zoMasipala abangaphansi kweLembe bonke bebeyingxenye yalo mhlangano. Inhloso yalo mhlangano bekuwukucacisa ngemigomo yokusebenza kohlelo lwe EPWP okuhloswe ngalo ukulwisana nobubha nokuvulela abantu abakhubazekile amathuba emisebenzi.UMnuz Xolani Xulu obhekelele ukusebenza kwalolu hlelo kulesifundazwe uthe i-EPWP yasungulelwa ukunciphisa ububha

nezinga eliphezulu labantu abangasebenzi.’’Yize lolu hlelo lusengulelwe ukulwisana nobubha kodwa kunezikhalo lapho sizithole sesiphoqeleka ukungenelela ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi kunamaKhansela afuna ngodli ingxenye yemiholo yabantu abasebenza ngaphansi kohlelo lwe EPWP kwabanye oMasipala. Umncwaningi mabhuku jikelele uthole ukuthi kunezindodla zemali elahlekele uHulumeni eholela’’izipoki’’ abantu abangekho.” UNkk. Nokwanda Dube uthe iKwaZulu-Natali kade idonsa kanzima ukuhlanganisa okungenani isilinganiso esiwu-2% sabantu abakhubazekile kulolu hlelo.’’Isigaba sesithathu salolu hlelo

NOTICE Metrorail KZN appeals to communities to help with the protection of station and trains against vandalism during service disruptions, even more so threats and intimidation of our staff. We are currently challenged to maintain the advertise service with trains and infrastructure that is very outdated. Acts of this nature simply reduce the number of trains that are available to run the service thereby resulting in lower frequencies and overcrowding. Staff, that are intimidated or threatened are often book off through Employee Assistants Programmes (EAP), which removes them from their duties for lengthy periods of time thus reducing the number of personnel available to drive trains, etc. Metrorail understands the inconvenience that train delays and cancellations causes to commuters and business but appeals to commuters not to resort to violence and destruction of assets because it reduces our ability to continue to provide services. METRORAIL - Issued by the Marketing & Communications Department, Metrorail KZN

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

esiqale ngonyaka ka-2014 esizosongwa ngenyanga ka Mashi,sisivezela ukuthi isifundazwe sizozama ukufinyelela ku-2% wabantu abakhubazekile kodwa ngengcicimezelo,umbiko uveza ukuthi sengathi asikwazi ukwakha amathuba emisebenzi azoqasha abantu abakhubazekile anele,’’kusho uDube. UDkt Simphiwe Ndlovu ovela eMnyangweni wezokuBusa ngokubambisana neziNdaba zoMdabu,uthe lona akuwona umsebenzi wokuqashana ngobungani futhi awudingi zicucu ezitheni kudingeka umazisi oluhlaza waseNingizimu Africa nokubheka ukuthi umuntu ukulungele yini ukuqashwa ngaphansi kwaloluhlelo.


IKHASI 4

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

UMASHI 2019

Usazoqhubeka nokuthola ukwesekwa uHulumeni uMkhosi woMthayi

TEBOGO SIBISI USAZOQHUBEKA nokuthola ukwesekwa uHulumeni uMkhosi woMthayi wesizwe sakwaTembe obanjwa minyaka yonke kusukela eminyakeni eyisishagalolunye eyedlule.Lokhu kudalulwe ungqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho,ezokuVakasha kanye

nokunakekelwa kwezeMvelo uMnuz. Sihle Zikalala ngesikhathi ethula inkulumo yakhe esigodini saseMfumeni ngaphansi kweNkosi yakwaTembe okuyindawo engaphansi kamasipala wesiFunda uMkhanyakude. UZikalala uthe ukubakhona kwalo mgubho esifundazweni saKwaZulu-Natali kubaluleke kakhulu ngakwezomnotho.”UMthayi Amarula Festival ungeminye

yemicimbi edlala indima ebalulekile ukunyusa izinga lomnotho wesiFundazwe ngoba uheha izivakashi ezisuka kwezinye izifundazwe ezifana neMpumalanga kanye neLimpompo njengoba osomabhizinisi bakulezindawo bekwazi ukuba yinxenye ukuzoveza ngemikhiqizo yabo abayenza ngamaganu.Ngalo mgubho akugcini kuphela kunyuka izinga lomnotho kodwa uphinde ufundise kakhulu ngokukhuliswa kwamasiko kanye nokuqhakambisa imvelaphi yethu njengoba lo mgubho uhlanganisa kakhulu isizwe sakwaTembe esiseSwazini kanye naseMozambique okuthi njalo ngokuqala konyaka sihlanganela kulendawo nemvulo ehlukahlukene kuculwe namaHubo amaButho.Ukubakhona kwezihambeli zamanye amazwe neziFundazwe sekutakule kakhulu nosomabhizinisi asebethole ithuba lokwakha izindawo zokulala izivakashi ezisuke zithamele loMkhosi njengoba kumanje umnotho walesiFunda emva kwalo mcimbi uzobe sewunomehluko omkhulu ngenxa yalempelasonto ebimatasa kakhulu.”Kusho uZikalala. Omunye wabanikazi bezindawo zokulala wakule ndawo uNksz. Sinenhlanhla Mahamba uthe bakubonga kakhulu ukuthuthuka kwezinga laloMkhosi ngoba kuletha omkhulu umehluko emabhizinisini abo.”Ngabona kubalulekile sakhe indawo yokulala ezoba sezingeni eliphezulu kule ndawo ukuze izoheha izivakashi ezisuke ziqhamuka ezindaweni ezikude.Ukuqalisa lendawo sekwenze omkhulu umehluko nansemndenini wami osukwazi ukuphila impilo efanele.Kumanje sisezinhlelweni zokuqalisa uhlelo lokuthuthwa kwezivakashi sizisondeze eduze nezindawo ezisuke ziya kuzona phecelezi (Shuttle) ngoba nalo loluhlelo lwezokuhutha silubona kuwuhlelo olungapheli futhi olungadlala indima enkulu ekuthuthukiseni ibhizinisi.”Kuchaza uMahamba.Kanti balinganiselwa ezi-15 000 abantu abebethamele loMkhosi.

Baziphikile izinsolo zokungathelelani amanzi kumasipala “kuyamangaza ukuthi kunamahlebezi aqhubekayo ngokungazwani kwethu kumasipala, mina njengemeya angikwazi lokho” Umeya kumasipala wesiFunda uMzinyathi uCllr. Petros Ngubane

NTOKOZO NGCOBO IMEYA kumasipala wesiFunda uMzinyathi uCllr. Petros Mthandeni Ngubane ikubeke obala ukuthi amahebezi okungazwani kumasipala wase Mzinyathi angamampunge asabalaliswa ilabo abanezinhloso zabo ezingezinhle ngalo masipala. Lokhu ukusho emcimbini obubanjelwe eDundee endaweni eyaziwa ngele Battlefields country lodge, wezinsuku ezintathu oqale mhla zingama15-17 kuFebruwari, nowaziwa ngele Strategic planning. Inhloso yalo mcimbi bekuwuk-

wazisa abasebenzi balomasipala kanye nabacosheli bezindaba ngemiphumela emihle esiyenzekile kusukela ngonyaka ka-2018 kanye nenqubekela phambili yokulwisana nezinkinga ababhekene nazo bengumasipala okubalwa kuzo ukuntshontshwa kukadizili. “Kuyamangaza ukuthi kunamahlebezi aqhubekayo ngokungazwani kwethu kumasipala, mina njengemeya angikwazi lokho. Singumasipala sisebenza ngokubambisana futhi ngokwazi kwami ayikho imali esetshenziswa budlabha kamasipala, lamahlebezi abhebhethekiswa

ilabo abanezinhloso zabo ezingezinhle zokungcolisa igama elihle likamasipala”, kubeka imeya. Kanti usekela meya uCllr. Ntombikayise Mdlalose uthe lamahlebezi aqhubekayo okwakhelwa umuzi wakhe ngemali kamasipala kuthunaza isithunzi sakhe. “Kusobala ukuthi umuntu wesifazane uyohlezi ebukelwa phansi ngenxa yokucindezelwa. Ayikho imali kamasipala eyakha umuzi wami, ngenxa yokuthi ngingowesifazane ozimele futhi ngiyasebenza okusho ukuthi ngiyawuholela umsebenzi wami kanye neqhaza engilibambile njengosekelameya”, kuchaza

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

uCllr. Ntombikayise Mdlalose. Kusukela ngonyaka ka-2018 umasipala usukwazi ukuthenga ama generators okusiza ukuphehla ugesi ukuze kuzoncipha inkinga yokuphela kwamanzi njengoba bebhekene nenkinga yokusweleka kwamanzi emiphakathini, baphinde bathenga ama amaloli okuthwala udizili ngenhloso yokunciphisa izindleko zokuqasha amaloli. UMnu. Sipho Ndabandaba oyimenenja kumasipala ube esedlulisa umyalezo wokubhekana nengalo yomthetho kulabo abantshontsha udizili.


UMASHI 2019

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 5

IKHASI LIXHASWE UMASIPALA WETHEKU

Siyakhula isibalo sabathola uqeqesho lwamakhompuytha eNanda

Ward 108: Cllr Sduduzo Khuzwayo

Abantu abasha abathola ithuba lokufunda ngokusebenzisa ikhompuyutha TEBOGO SIBISI INHLANGANO engenzinzuzo yabaphila nokukhubazeka IMPUMELELO ezinze eNanda ithi Siyakhula isibalo sabantu abasha abathola usizo lokuqeqeshelwa ukusebenzisa izifundo zeKhompuytha emva kokuba nobudlelwano nolusha lwakuwadi 108 eholwa uCllr. Sduduzo Khuzwayo. Lenhlangano isho lokhu kulandela ukuthi lesikhungo besiqeqesha kakhulu abantu abakhubazekile kuphela kodwa ngenxa yegebe ebelibonakala likhona entsheni ehleli emakhaya engenzi lutho inhlangano yabamba umhlangano nobuholi babantu abasha kwaba nesivumelwano sokusebenzisana Phakathi kwetsha nenhlangano.OnguMsunguli walesikhungo uMnuz. Samson MaNxele Mthembu uveze ukuthi selokhu baqala ukusebenzisana azikho izihibe aseke babhekana nazo ikakhu-

kungesikhathi kuqhubeka ukufunda ekilasini esikhungweni sabakhubazekile eNanda.

UNksz. Zinhle Hlengwa onguNobhala wabantu abasha kawadi 108

lukazi njengoba abantwana uma sebeqede ukufunda kwabo emva kwesikhathi esingangamasonto ayisithupha (6) bathola izitifiketi.”Uhlelo lwethu lusahamba kahle kakhulu okuhle ngalo alusagcini ngokufundisa izinto ezijwayelekile kuphela lwekhompuyutha kodwa sekuba khona nabathola ithuba lokuqhubeka bathole nesibonelelo phecelezi (iLearnership) besebefundiswa nolwazi olwenziwa Online ukuze nabo bezokwazi ukuphucula izimpilo njengoba isikhathi samanje izinto ezinto seeznziwa ngawo amakhompuytha nomakhalekhwini besimanje.”Kuchaza uMthembu. OnguNobhala wabantu abasha balewadi uNksz. Zinhle Hlengwa mukhulu umehluko owenziwa iloluhlelo entsheni.”Siyajabula ukubona intsha ishintsha izimpilo zabo bekusikhathaza ukukhula kwesibalo sentsha ehleli emakhaya ingenzilutho ngenxa yokuswela imali yokuya emaNyuvesi ngakho sakubona

kubalulelkile ukuthi sisukume sixoxisane nalenhlangano ukuze kubekhona ubedlwelwano bokutakula ulusha lwethu.Kumanje esikhathini esingangonyaka lesikhungo sezikhiqize izitifiketi ezinga-65 zabafundi abebefunda ngokuzimisela.Kumanje kunafundi abahlanu abathole ithuba lokungena ohlwini lokuqhubeka nezinye izifundo ezithinta iKhompuyutha.Kuthina kusho lukhulu ngoba siyazi ukuba nesicucu salezifundo kuvulelana amathuba amaningi okuthola umsebenzi kanye nokuqala ibhizinisi lokwenza umsebenzi wezinto ezidinga ulwazi lwekhompuyutha.Sifisa ukugqugquzela intsha ehleli emakhaya ukuba ize emahhovisi izobhalisa ngoba lolu uhlelo oluqhubekayo.’’kusho uHlengwa. Kanti balinganiselwa ngaphezu kwe-100 abantu abakhubazekile abafunda kulesikhungo nabathola ukuqeqeshwa ngolwazi oluthinta izifo ezithelelanayo (HIV and Aids).

Uncome ukuvikeleka kwesikole emphakathini uThishanhloko

“Kumanje sinabafundi abangaphezu kwe-1000 abangaminyani emikilasini njengoba uGrade R nawo sawusungula sawenza waba nendawo yawo”

Inxenye yangemuva yamakilasi amasha esikole iSekusile Primary School TEBOGO SIBISI UKUSEBENZISANA ngokubambisana nomphakathi kanye noKhansela wendawo yikhona okuholela ekutheni isikole sethu sihlezi sivikelekile.Lokhu kushiwo uThishanhloko wesikole samabanga aphansi esizinze eNanda iSekusile Primary School uMnuz. Sibisiso Langa kade enenkulumo ekhathekile nephephandaba lomphakathi kanye noKhansela uSduduzo Khuzwayo. ULanga uthe esikhathini esiningi kwezinye izikole ubugebengu bunin-

Amagumbi odado bakwaGrade-R

gi ikakhulu bokulahleka kwesinzisa zesikole kodwa esikoleni sakhe bazizwa bevikelekile ngenxa yomphakathi oholwa uKhuzwayo.”Ngifike kulesikole ngo-2007 sinamagumbi amane kuphela okufundela izingane njengoba sasiqala kwagrade-1-4 kodwa unyaka nonyaka sisebenzisana noKhansela izinto zashintsha kumanje sinamagumbi angaphezu kwanga-30 futhi isikole sethu sesithuthuke ngendlela yokuthi sesiqala kwaGrade 1 -7 ngenxa yomsebenzi kaKhansela ebambisene noHulumeni. Kumanje sinabafundi abangaphezu

Ihhovisi likaThishanhloko elixhumene nelothisha

kwe-1000 abangaminyani emikilasini njengoba uGrade R nawo sawusungula sawenza waba nendawo yawo.Ziningi izinto esihlele ukuzenza esikoleni sibambisene nomphakathi njengoba kumanje kulenyanga kuqale izifundo sekhompuyutha esikoleni kanti nabazali bakhombise ukulujabulela loluhlelo.”Kuchaza uLanga. Ukhansela wakuwadi-108 uCllr Sduduzo Khuzwayo uthe kubajabulisa kakhulu njengabaholi bomphakathi ukubona izinsiza siphathwa ngendlela.” Lesikole ukusebenza kwaso okuningi kwenzeke sengikhona ewadini,unya-

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

ka nonyaka bekuba khona umehluko wokwandiswa kwamagumbi okufunda namhlanje siyazigqaja ngokuba nesikole esihle futhi esivikelekile.Kumanje asikaze sibambe mhlangano nabaphathi besikole ezithinta umonakalo kodwa esikhahini esiningi siba nemihlangano ekhuluma ngegiya eliyaphambili.Siyanxusa umphakathi waseNanda uhlezi usigadile lesikole ngoba sikholelwa ekutheni umphakathi iwona odlala indima ekulwisaneni nezinto ezingahambi kahle endaweni.Kusho uKhuzwayo


IKHASI 6

UMASHI 2019

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Siyaqhubeka nokusiza ezikoleni isiteshi somphakathi SKHUMBUZO NZUZA BANGAPHEZULU kwama-50 abafundi abavela ezikoleni ezisemazingeni aphezulu naphansi abafunda ezikoleni ezisendaweni yaseNanda naKwaMashu,abathole uxhaso lwemifaniswano yesikole ngosizo loMkhuleko owenziwa minyaka yonke uMsakazo woMphakathi Inanda 88.4 fm obizwa ngokuthi iQala kahle,Qhuba kahle Qeda kahle.Umphakathi othisha,abafundi Kanye namabandla ahlukahlukene,mhlaka 23 Febhuwari bahlanganyele eHholo lo Mphakathi kwaBester Hall KwaMashu lapho Inanda 88.4 fm ibinoMkhuleko wokukhulekela abafundi ukuthi bawuqale kahle unyaka baphinde banikezwe nezeluleko ngokubaluleka kwemfundo. UMphathi woMsakazo Inanda 88.4 fm uNkk. Thandeka Msani Ngobese,uthe bewu Msakazo woMphakathi obhekelele kakhulu izidingo zomphakathi,”Ngasosonke isikhathi isikhathi sokuqala konyaka sazibophezela ekutheni sivakashele ezikoleni ukubheka ukuthi abafundi baqale kahle ukufunda ngokuxoxisana noThisha ukubheka ukuthi abafundi bashoda ngani,bese siyanqgqongqoza kosomabhizinisi abahlukene ukucela usizo kanye nabantu nakosomabhizinisi abakhangisa kulo Msakazo ukufaka isandla.Namhlanje bangaphezulu kuka-50 abantwana abahlomulile kulolu hlelo lwethu esaluqala eminyakeni eyi-9

Abafundi bezikole ezahlukene abahlomule ngomfaniswano eyadlula kanti balinganiselwa kwizi-2000 abantwana asebehlomulile kusukela saluqala.Sicela ukuthi abantu abanabantwana abasweleyo baxhumane noMsakazo sibheke ukuthi kukhona lapho singasiza khona ngoba kuza isikhathi sasebusika wonke umntwana kumele azizwe efana nabanye,siyabonga kakhulu kubaxhasi abasabelile banikela ngezicathulo,amajezi,nomfaniswano wonke wezikole

ezahlukene siyabonga kakhulu kubalaleli abasesekayo njalo masibadinga,’’kuphetha uMsane Ngobese. uThisha wesikole esisendaweni yaseLindelani uMtapo High School uNkk .Zandile Bhengu,uthi yize isikole sabo sidume ngokukhiqiza abafundi abenza kahle kodwa abafundi abaningi bavela emindenini enabazali abangasebenzi,wathi mukhulu umehluko ozokwenziwa ilomnikelo wathi

ngesikhathi bethola isimemo soMsakazo sokubheka abantwana abaswele,wakhetha abafundi abonayo ukuthi isimo sabo sinzima kakhulu,wathi okuhle ukuthi labo bafundi abathole imifaniswano masebeqedile esikoleni bazoyishiya le mifaniswano isize abanye abeza ngemuva.

Kuphelile ukusebenzisa izimoto zabo kubasebenzi be-SAFDA

Isikhulu sakwaSAFDA uDk. Siyabonga Madlala emukela okhiye bemoto kuMqondisi weBhange lakwaABSA uMnuz. Ronnie Mbatsane TEBOGO SIBISI IYAQHUBEKA nokuletha ushintsho inhlangano emele abaLimi bamoba abamnyama iSouth African Farmers Development Association (SAFDA) njengoba kuleli sonto beyamukela izimoto ezintsha ceke ezizosiza abasebenzi ika-

khulukazi labo abangabaLuleki babalimi. Kuzokhumbuleka ukuthi ngenyanga edlule le nhlangano ibikhipha izindodla zemali izibhekise kubalimi ngenhloso yokubakhombisa ukubaluleka kwabo ngomsebenzi abawenzawo wokutshala baphinde bakhiqize umoba nokuyinto ebiqala ukwenzeka kulo nyaka.OyiSkhulu

esiphezulu kwaSAFDA uDk. Siyabonga Madlala uthe kuyabajabulisa ukubona izinto obesekukade bezilwela zenzeka.” Namhlanje sijabula kakhulu ukwamukela izimoto eziyi-17 esizithenge ngoxhaso lweBhange lakwa-ABSA emva kwesikhathi eside abasebenzi bethu abangabaluleki besebenzisa izimoto zemindeni yabo.Sik-

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

holelwa ekutheni umsebenzi usuzoba lula kakhulu njengoba lezimoto ziwuhlobo olumelana naso sonke isimo semigwaqo nezindawo ezisemakhaya okuyilapho kugcwelel khona abalimi bethu. Sifisa ukubonga kakhulu nakubaphathi beBhange abakwazile ukusethemba emva kwemihlangano esibenayo ethathe amasonto amathathu kuphela.Kungokokuqala inhlangano izithengela izimoto ezizosiza abasebenzi bethu ezifundazweni ezimbili okuyiKwaZulu-Natali kanye Mpumalanga.” OnguMqondisi omkhulu weBhange lakwa-ABSA esifundazweni saKwaZulu-Natali naseMpumalanga uMnuz. Ronnie Mbatsane uthe baxhase le nhlangano ngoba ezoLimo iwona mkhakha abasathembele kuwona ekuguquleni isimo somnotho.”Ibhange lazibophezela ekuxhaseni izinhlangano eziletha ushintsho kwezomnotho nasezimpilweni zabantu futhi ezisebenza ngokuthembeka. Sifisa ukubonga nakubaphathi beSAFDA ngokusethemba ekutheni basebenzisane nathi njengoba kumanje ibhange lethu yilona asebezolisebenzisa ukubeka izimali zenhlangano,Lokho kusho into enkulu ngokuthembeka kweBhange lethu nomsebenzi esiwenzayo ngakwezimali.”Kusho uMbitsane.


UMASHI 2019

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Kunxuswa umphakathi ubambisane namaphoyisa ukulwisana eThekwini SKHUMBUZO NZUZA UMASIPALA weTheku usuveze ukuthi udinga usizo lomphakathi ukuze uzokwazi ukunqoba impi yokulwisana nobugebengu nokuqinisekisa ukuthi ezokuphepha ziba sezingeni eliphezulu kubahlali baseThekwini namaphethelo. Lokhu kushiwo nguSekelameya uKhansela Fawzia Peer mhlaka 21 Febhuwari kumhlangano obubanjelwe eThekwini wokucobelelana ngolwazi emaphoyiseni oMkhandlu weTheku Kanye nezikhulu zezokuphepha ezweni i-Unites State of America ngaphansi kwesihloko esithi ‘Advancing Safety for all’. UPeer uthe idolobha iTheku linezindawo ezingama Lokishi Kanye nalezo ezisemakhaya ezinabantu abaningi abangasebenzi lokho okwenza kungabi lula kumaphoyisa omkhandlu ukulwisana kahle nobugebengu ngoba abantu abanin-

gi abasebenzi abanye bagcina bengena ebugebengwini.”Sibhekene nenselelo enkulu edolobheni lethu ngoba ngasosonke isikhathi amaphoyisa kumele ahlale eba namaqhinga amasha okulwisana nobugebengu ukuze bunqandeke bungakenzeki. Lokho kukodwa kudinga uqeqesho olunzulu esiphoyiseni kodwa esizamayo ukulunikeza amaphoyisa ethu,ubugebengu bukhuliswa izinga lobubha,ngoba akekho usomabhizinisi othanda ukufaka ibhizinisi lakhe endaweni enezinga eliphezulu lobugebenguSifisa kakhulu ukunxusa umphakathi ubambisane namaphoyisa kunqotshwe ubugebengu ukuze kuzoheheka nabatshali zimali abantu bakwazi ukuzicoshela imisebenzi eduze nalapho behlala khona’’,kusho u Peer. UMnuz. Michael Smoot ovela kwi Cleveland and Baltimore City Police ezweni lase USA,uthe kusemqoka ukuthi amaphoyisa akhe ubudlelwano obuh-

le phakathi kwawo nophakathi,futhi aqinisekise ukuthi amalunga omphakathi abayingxenye yemithetho elawula ukusebenza kwedolobha.USmoot uthe kubalulekile ukuzwa imibono yabantu abasha kube nezigcawu zokusebenzisana nabo ngoba ibona abantu abavamise ukucwila ebugebengwini ngakhoke kusemqoka ukusebenzisana nabo ukubuqeda ubugebengu nokubopha labo abangamaphekula obugebengu.Phezu kwalokho uSmoot ugcizeleleukuthi kusemqoka ukusebenzisa izinkundla zokuxhumana kwamaphoyisa ngoba zenza kubelula ukudlulisa umlayezo emphakathini wathi amaphoyisa akumele ahlale engondlavini mayeqhuba umsebenzi wawo nomphakathi wathi kuhle mebopha umuntu amchazele ngendlela ekahle iziz athu zokuboshwa kwakhe ukuze umuntu ezolazi iphutha aligweme esikhathini esizayo.

IKHASI 7

SIVUBELA Intuthuko ITHIMBA LEPHEPHA

>> UMHLELI MAKHOSI MNGOMA makhosi@sivubelaintuthuko.co.za 083 618 4252

>> IPHINI LOMHLELI TEBOGO SIBISI tebogo@sivubelaintuthuko.co.za 079 245 8462

Umasipala waKwaDukuza uthi izindawo ezimanzi ziyigugu

SKHUMBUZO NZUZA IHHOVISI elibhekelele ukunakekelwa kweMvelo kuMasipala waKwaDukuza ngokubambisana noMnyango wezeMvelo,babungaze usuku iWorld Wetlands Day ngokuqwashisa abafundi nothisha abavela ezikoleni eziKwaDukuza ngokubaluleka kwezindawo ezivundile. Abafundi abenza izifundo okuyi Geograph ne Life Science kanye nothisha abafundisa lezifundo bangabanye babantu ebebekhona kulo mcimbi osingathelwe eGledhow Kwadukuza,mhlaka 18 Febhuwari. Phakathi kwezikole ebeziyingxenye yalo mbungazo singabala iStanger ML Sultan School,Stenger Secondary,Itshelenkosi Secondary,Inkosi Albert Secondary

School,lezikole ziphinde zathola ithuba elingandele bani lokwazi ngokubaluleka

kwemvelo. UNksz Mbali Goge ovela eMnyangweni obhekelele ukunakekelwa kweMvelo uthe njalo ngonyaka mhlaka 2 Febhuwari umhlaba wonke ugubha lolusuku kusukela ngonyaka ka-1971 iDolobha lase Ramsar iRanian City yathatha isinqumo sokuthi njalo ngonyaka ngalolusuku kugujwe lolusuku iWorld Wetlands Day. “Kusukela ngonyaka ka 1997 unobhala wase Romsar uhlinzeka ngezinsiza minyaka yonke ukuze kuzosatshalaliswa imikhakha imikhankaso efundisa ngokubaluleka kwezindawo ezivundile njengoba namhlanje uMasipala waKwaDukuza kuyiwona osenzela lokho.

>> INTATHELI YEZEMIDLALO THABANI MAPHUMULO trmaphumulo@gmail.com 081 794 8407

>> GRAPHIC DESIGNER AND LAYOUT LINDA MAZIBUKO trusouth1@gmail.com 079 535 0581 IWEBSITE YETHU www.sivubelaintuthuko.co.za FACEBOOK sivubela intuthuko TWITTER @sivubela intuthuko INSTAGRAM sivubelaintuthuko

Izwe lase South Africa liyizwe eleseka kakhulu iRamsar Convention ngonyaka ka 1971 iSouthi Africa yazibophezela ukuba yingxenye ye Ramsar.Ubulunga obugcwele yabuthola ngonyaka ka 1975 elakuleli liphakathi kwamazwe amahlanu eseka iRamsar Convention lokho okusho ukuthi lazibophezela ukuthi minyaka yonke lizogubha i World Wetlands Day. Kumanje izwe laseSouth Africa alinawo amanzi anele kanti izindawo eziyizidaka ziyakwazi ukubamba amanzi ziwahlanze konke okungalungile aphume ezimpophomeni esengakwazi ukusetshenziswa abantu,”kusho uGoge.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHELI LETHU B 33 Ten Acre Thembeni Groutville P.O Box 4473, Stanger4450 Gordon No.2 Road Morningside, Durban 4000 UMA UFUNA UKUKHANGISA KULELIPHEPHANDABA , SHAYELA 031 822 2602/083 618 4252


IKHASI 8

UMASHI 2019

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Sivubela Intuthuko

EZEMIDLALO

Kunqobe umnqobokazi kweyamakhosi

THABANI MAPHUMULO

iBUDLE umhlanganiso UBUKHOSI bakwaMnqobokazi ngaphansi kwemidlalo eyaziwa ngeRural Sport Development Programme ebibanjelwe eThokothe Sports Ground eMargate ngempelasonto. Lo mqhudelwano uhlanganisa intsha esuka ezindaweni ezinhlanu ezingaphansi kwamaKhosi okuMaphumulo TC eThekwini, Mnqobokazi TC kwaMkhanyakude, KwaXolo TC oGwini, Vulindlela TC eMzinyathi, kanye naMaSwazi TC oThukela. Imidlalo obekuncintiswana kuyo ihlanganisa Rugby, Ibhola lezinyawo, Netball kanye nezokugijima. Lo mqhudelwano ubunzima kuyona yonke imikhakha yize ilanga beliphume ngenkani. Lolu hlelo luhlose ukuthuthukisa intsha ebinganakiwe nesuka ezindaweni zasemakhaya. Ihlose ukuthuthukisa izindawo eziphethwe AmaKhosi, kanti ibanjwa minyaka yonke ngaphansi kohlelo lweNational Department of Sport okuyiyona esebenzisana

noMnyango wezeMidlalo wesifundazwe. Kuyona yonke imidlalo uMnqobokazi uphume phambili walandelwa uMaphumu kanti endaweni yesithathu kwaba uVulindlela. Lowo osabambe njengeNhloko yoMnyango wezeMidlalo nokuNgcebeleka kulesifundazwe uThobile Sifunda nobemele uNgqongqoshe uBongi Sithole-Moloi uncome bonke ababeyinx-

ITheku yilona elihambe phambili ngezindondo eziningi kumqhudelwano wesibhakela i-2019 KZN Provincial Pro-am Boxing Tournament (Olympic style) obubanjelwe KwaMsane, eMtubatubaba ngempelasonto. ITheku lithole ezimbili zegolide ezine zesiliva kanye neziyisithupha zethusi okubanike amaphuzu an-

enye yalemidlalo nangokuzinikela kwabo. “Lo mqhudelwano uhambisana nombono woMnyango wokuzivocavoca siphinde sinqobe siyisifundazwe. Nizobuyela emakhaya nikwazile ukukhombisa ikhono lenu kwezemidlalo. Sifuna ukudala amathuba kuyona yonke intsha kwezemidlalo, kanti uma uzibandakanya nezemidlalo uba nesimo sempilo esikah-

le,” kusho uSifunda. USifunda uphinde wahalalisela umphakathi obusingethe le midlalo wakwaXolo ngokuba nengqalasizinda esezingeni, kwazise yanikelelwe uNgqongqoshe ngonyaka owedlule ngenhloso yokuthuthukisa izindawo ebezinganakiwe ngaphambilini.

gamashumi amabili. Isifunda iKing Cetshwayo iphume indawo yesibili ngamaphuzu angu-18 , endaweni yesithathu kube Uthukela ngamaphuzu ayishumi. Le midlalo yesibhalo ilandelwe impi enkulu yeKZN Junior Light weight ebiphakathi kwaBrandon Naude kanye noSiphesihle Mntungwa.

#NFD FIXTURES DATE: SATURDAY, 2 MARCH 2019, TIME: 15H00 TS SPORTING VS UTHONGATHI

CAPE UMOYA VS JOMO COSMOS

DATE: SUNDAY, 3 MARCH 2019, TIME: 15H00 AJAX CAPE TOWN VS TS GALAX

ROYAL EAGLES VS REAL KINGS

MILANO UNITED VS UNIVERSITY OF PRETORIA

RICHARDS BAY VS MBOMBELA UNITED

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.