Sivubela intuthuko issue 29

Page 1

SIVUBELA Intuthuko

ADVERTISING: (031) 8222 602 FEBRUWARI 2019

FACEBOOK: SIVUBELA INTUTHUKO

SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

LIMAHHALA USHICILELO 29

Uzokwenza izifundo zobuMeli ophase ngamalengiso kwesabakhubazekile eMgungundlovu

Kuhlomulise intsha ukuthuthukiswa kwesikole esiKwaMashu

Kunxuswe umphakathi uhloniphe abatshalizimali KDM

IKHASI: 4

IKHASI: 5

IKHASI: 6

Uzodla izigidi zamarandi umonakalo odalwe izulu KZN Udaba Kwikhasi:3

Ungqongqoshe wekuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu esifundazweni saKwaZulu-Natali uNkk. Nomsa Dube-Ncube.

Azophela amahlathi kwabahweba ngokungemthetho KZN - Ikhasi: 2

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


IKHASI 2

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

FEBRUWARI 2019

Kuhalaliselwe abafundi abaphase ngamalengiso esifundazweni saKwaZulu-Natali NTOKOZO NGCOBO IMEYA yeTheku kanye nomasipala wesifundazwe sakwaZulu Natali bahalalisele abafundi abaphase ngamalengiso kanye nezikole ezisebenze ngokuzikhandla ukukhuphula izinga lokuphasa likamatikuletsheni langonyaka ka-2018. Zingama-57 izikole ezithole uxhaso lwemfundo ephakeme labafundi abaphase ngamalengiso njengoba isifundazwe sakwaZulu Natali sinyuse izinga lokuphasa ngama-33% kusukela kunyaka ka-2017 kanti kunyaka ka-2018 siphase ngama-74%. Lomcimbi wokuhalalisela abantwana abaphase ngamalengiso usunesikhathi eside uqhubeka ngenhloso yokukhuthaza abantwana abaphase kahle ukuthi baqhubeke nemfundo kubuye kugqugquzelwe nalabo abasenza amabanga aphansi ukuthi bazimisele, ngenxa yokuthi ukuzimisela yikho okuletha imivuzo emihle kanye nekusasa eliqhakazile kumuntu. “Ngalokhu esikwenzayo sikhuthaza abantwana ukuthi njengoba sebeyoqala indlela yekusasa labo baqhubeke nokusebenza ngokuzikhandla ukuze

bezofeza amaphupho abo baphinde babe yizimbali zeSizwe eziqhakazile. Sizimisele ukulekelela abantwana ngezindleko zemfundo ephakeme silekelelana nezinkampani ezinkulu ezingabaxhasi balomcimbi, okubalwa kuzo uNedbank, inkampani yezokuxhumana iMTN, inkampani yezezimali i-Old mutual kanye nenkampani yakwa Coca-Cola.”, kubeka iMeya uCllr. Zandile Gumede. Izikole eziphase ngamalengiso ngo100% kubalwa Inanda Seminary School, Kwathintwa school for deaf, Westville girls high school kanye neMenzi high school. Kanti abafundi abaphase ngamalengiso ezikoleni ezingaphucuzekile kubalwa uLungelo Shozi obefunda eJG Zuma elokishini lakwaMashu nophase ngo A abayi-6 obe ngunamba-1, uNontobeko Yaka obefunda esikoleni iNanda comprehensive High School obe ngunamba-2 kanye no-Ayanda Dube obefunda eSiyanda High school obe ngunamba-3. Uthishanhloko wesikole iJG Zuma high school nesibe nabafundi abane abaphase ngamalengiso nesibe sesihlonyeliswa nge laptop kanye ne projector ngenxa yokusebenza

ngokuzikhandla ukubeke obala ukuthi “lokhu okwenziwa umasipala weTheku kuyasikhuthaza singothisha ukuthi siqhubeke nokusebenza kanzima ukukhuphula izinga lokuphasa esifundazweni sakwaZulu Natali. Ukuzinikela emsebenzini wethu sibambisene nabazali balengane kanye nabafundi yikho okwenza sikhiphe

imiphumela ethokozisayo. Kubalulekile ukubambisana ngoba imfundo iyisikhali esibalulekile ukuletha intuthuko eZweni lethu kanye nokufeza amaphupho abantwana”, kubeka uthishanhloko uMnu. Thembokuhle Mthembu.

Azophela amahlathi kwabahweba ngokungemthetho KZN SKHUMBUZO NZUZA

Ungqongqoshe wezokuThuthukiswa kwezoMnotho, ezokuVakasha kanye nokunakekelwa kwezeMvelo esifundazweni saKwaZulu-Natali uMnuz. Sihle Zikalala noMeya weTheku uCllr. Zandile Gumede

INHLANZI ishelwe amanzi kosomabhizinisi abadayisa bengenazo izimvume zokudayisa ngesikhathi uNgqongqoshe woMnyango obhekelela ukuthuThukiswa koMnotho ezokuVakasha nokunakekela iMvelo ngokubambisana noMasipala weTheku,begasela kulezindawo kungazelele muntu. UNgqongqoshe uSihle Zikalala ehambisana neMeya uKhansela Zandile Gumede mhlaka 29 Januwari bathule ngokusemthethweni umkhankaso wokuqeda nya ngamabhizinisi angenazo izimvume zokuhweba kwisiFundazwe saKwaZulu-Natali. Ukuthulwa kwalo mkhankaso kuqale ekuseni ngovivi lapho

ILEMBE DISTRICT MUNICIPALITY ILEMBE-UMASIPALA WESIFUNDA UMBIKO WONYAKA KA 2017/2018 Isaziso sikhishwe ngokulawulwa kwesigatshana somthetho isigaba 127 sika Hulumeni waseKhaya, kanye nowokulawula ngokuphathwa kwezimali sothetho ka, 2003 ( Isigatshana 56 ka 2003) othi umbiko wonyaka ka 2017/2018 okungumbiko wonyaka weLembe uMasipala weSifunda, okuhlanganisa umbiko wonyaka ka 2017/2018 we iLembe Development Enterprise (Pty) Ltd usukhona ukuze ubukwe futhi uhlolwe. uMbiko wonyaka ka 2017/2018 ungabonwa endaweni yokwamukela izivakashi , Ground floor ekungeneni, iLembe House, 59/61 Mahatma Gandhi Street, KwaDukuza, phakathi kwehora lesishiyagalombili 08hoo kuya kwelesithathu ntambama 15h00, ngoMsombuluko kuya kolweSihlanu. Ungaphinde uwuthole lombiko kwi website kaMasipala: www.ilembe.gov.za. Amalunga omphakathi weLembe uyanxuswa ukuba alethe imibono maqondana nalombiko wonyaka ka 2017/2018. Umphakathi uyacelwa ukuba ulethe kuMphathi imibono ku Mphathi kaMasi-

pala, iLembe- UMasipala wesiFunda ,ILembe House, 59/61 Mahatma Gandhi Street, KwaDukuza or P.O. Box 1788, KwaDukuza 4450. Izethulo kumele zilethwe noma ziposwe zifike kuMphathi kaMasipala weLembe ngaphambi kuka 21 kuNhlolanja (February) 2019. Noma ubani ongeke okwazi ukubhala angeza endaweni yokwamukela abantu, kwi Ground Floor ,iLembe House, 59/61 Mahathma Gandhi Street, KwaDukuza, kusukela ku 08h00 ekuseni kuya ku 15h00 ntambama, ngoMsombuluko kuya ko Lwesihlanu lapho uzothola usizo ku Philly Gcabashe ukuba ambhalela isethulo sakhe. N.G. KUMALO UMPHATHI KA MASIPALA 31 kuMasingana 2019

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

labaHoli behambele indawo yase Chestervill baxoxisana nomphakathi odayisayo maqede bavala isiphaza esidayisa ngokungemthetho,badlulela enkabeni yeTheku eBerea nasePhoyinti nalapho bevale thaqa izindawo ebezenza okuphambene nemigomo yokudayisa bashaqa nempahla esidlulelwe isikhathi. UZikalala uthi labantu abahweba ngokungemthetho baxhaphaza abantu abahweba ngokusemthethweni,’’kunamabhizinisi amakhulu asebenzisa abantu abangenalutho abenze osomabhizinisi ngoba ebalekela ukukhokha intela lokho okulimaza kakhulu umnotho wakithi,futhi kubulala osomabhizinisi abancane abahweba eziphaza emaLokishini .Okunye esikutholile kunosomabhizinisi abakhiqiza izinto abathi ezalapha eSouth Africa kodwa mulandela uyathola ukuthi akulona iqiniso bakhiqiza imikhiqizo egcina igulisa abantu lokho okwenza kubenzima ukuthi imikhiqizo yakuleli iphumelele ngoba le engombombayi isuke Ibiza amanani aphansi,kunosomabhizinisi bakithi abenza imikhiqizo emihle kabi okumele ekungabe bathola uxhaso kuhlelo lukaHulumeni i-Operation Vula kodwa abakwazi ngoba ayibonakali into abayenzayo ngenxa yalaba abavela kwezinye izindawo.Yize kunjalo umphakathi kuhle wazi ukuthi asikhuthazi udlame ukuthi kodwa awuxhumane nomMnyango ukuze kulandelwe umthetho,’’kusho uZikalala. IMeya yeTheku uKhansela Zandile Gumede uthe uyabonga kakhulu ukuthi lomkhankaso uzokwethulwa eThekwini,wathi bewuMasipala bazosebenzisana naMakhansela ukuhlonza izindawo ezidayisa imikhiqizo esidlulelwe isikhathi nalawo ahweba ngokungemthetho ngoba inhloso kaHulumeni ukuxhasa osomabhizinisi abasakhula bakwazi ukuthenga ngokuhlanganyela umthamo omkhulu wempahla ukuze ingeke imbe eqolo bakwazi ukwenza inzuzo ngokushesha mangabe sebedayisa.


FEBRUWARI 2019

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 3

Uzodla izigidi zamarandi umonakalo odalwe izulu KZN “ezinye zezingxenye zesifundazwe zibhekene nesomiso esibukeka sizoba nzima makuqhubeka isikhathi zingani izimvula” Skhumbuzo Nzuza UMNYANGO wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kuleSifundazwe uthi usunikele ngezingubo zokulala,ukudla,izitofu kanye nendawo yokuhlala yesikhashana kumphakathi wase Ladysmith okhahlanyezwe isiphepho ebesihambisana nemvula enamandla ngempelasonto yango mhlaka 3 Februwari yacekela phansi imizi engama-70,kwathi abantu abangama-400 basala bengenamakhaya.UNgqongqoshe walo Mnyango uNomsa Dube-Ncube usho lokhu kwisithangami nabezindaba ebesibanjelwe emaHhovisi aloMnyango eMayville ekuqaleni kwaleli sonto.

UDube-Ncube uthe lesiphepho sibehle ngaphezulu wathi cishe umonakalo odalekile uzodinga imali engaphezulu kuka R10 million ukuze kubhekwane nalesimo,’’ezinye zezingxenye zesifundazwe zibhekene nesomiso esibukeka sizoba nzima makuqhubeka isikhathi zingani izimvula,yize kunjalo amadamu ethu asesimweni esihle muzoqhathanisa nemesimo abekusona ngonyaka owedlule ngalesikhathi,kodwa siyanxusa oMasipala nezimboni ezizimele basebenzise amanzi ngokucophelela,isomiso siyinkinga ngoba sishaya kuzwele kumnotho,kunciphe umkhiqizo kubalimi,kudilizwe,abasebenzi emapulazini kunyuke amanani okudla ezitolo.’’ ‘’NjengoMnyango sibhalele

ithimba lezinhlekelele kuzwelonke sicela uxhaso lwemali engu R122 million ukusiza lapho kumele singenelele khona. Kusemqoka ukuthi sizame amaqhinga okonga amanzi kuseyimanje kungaze kufike isikhathi sasebusika lapho sizobhekana nenkinga enkulu,okubi kunamanzi amaningi angakhokhelwa angaziwa ashonaphi kungenzeka ilaba abantu abazixhumele wona ngokungemthetho noma amapayipi avuzayo ngenxa yengqalasizinda esindala edinga ukuvuselelwa kabusha,siyasebenzisana noMasipala ukulungisa lesimo nokuqwashisa uMphakathi ngokonga amanzi’’kusho uDube-Ncube. UNgqongqoshe uthe basebenzisana noMasipala ukwakha amapitsi

azohlinzeka ngamanzi emiphakathini ukuze noma kuphela isikhathi eside zingabonwa izimvula kodwa kungabi nenkinga.Kuzokhumbuleka ngonyaka ka 2015 iKwaZulu-Natali yahlonzwa njengesifundazwe esibhekene nenhlekelele ngokwesomiso.UHulumeni omkhulu wanikela ngemali kodwa okwavela ukuthi abanye oMasipala abayisebenzisanga ngendlela efanele uDube –Ncube uphinde waveza ukuthi kunophenyo abalwenzayo ngokubambisana neHhovisi likaNdunankulu olungakaphothulwa,wathi mangase kwenzeka bayithole imali engu R 122million bazoqikelela ukuthi akulahleki ngisho isenti kuyona.

KWADUKUZA MUNICIPALITY Ukubhaliswa kwabantulayo ngonyaka wezimali ka-2019/2020

Umkhandlu waKwadukuza ukhipha isimemo njengokomyalelo weNqubomgomo yaloMkhandlu ngokuhambisana neNqubomgomo kaZwelonke mayelana nezibonelelo zezidingongqangi kulabo abantulayo, ukuba bonke abahlomula kulezizibonelelo, esikagesi kanye nokuqoqwa kukadoti, beze bazovuselela izicelo zabo. Ngokunjalo laba abanomholo wenyanga ongama R3500 nangaphansi kwalokho ngenyanga usuhlanganisiwe, bamukelekile ukuba bazobhalisa. QAPHELA: Sicela ukunazisa ukuthi izicelo zenu kumele zihambisane nefomu eligcwaliswe emabhange wonke ukuqinisekisa isimo sakho sezimali, lelofomu uzonikwa lona lapho wenza isicelo sakho. Uhlelo lokubhalisa luzolandelwa ngalendlela elandelayo: Isigceme Usuku Ilanga Isikhathi Indawo 1 02/02/2019, Saturday, 09H00-16H00 Sakhamkhanya Kwashoti Hall 1 03/02/2019, Sunday, 09H00-16H00 Sokesimbonecom Hall/ Sadloko 2 04/02/2019, Monday, 16H00 - 19H00 Nonoti Library 2 05/02/2019, Tuesday , 16H00 - 19H00 Nonoti Library 19 06/02/2019, Wednesday, 16H00 - 19H00 RA Moodley Hall 19 07/02/2019, Thursday, 16H00 - 19H00 Rocky Park 2 09/02/2019, Saturday 09H00-16H00 Zamani Community Hall 2 10/02/2019 Sunday 09H00-16H00 Zamani Community Hall 2 11/02/2019 Monday 16H00 - 19H00 Zamani Community Hall 2 12/02/2019 Tuesday 16H00 - 19H00 Zamani Community Hall 13 13/02/2019 Wednesday 16H00 - 19H00 Glenhills Sports Centre 13 14/02/2019 Thursday 16H00 - 19H00 Shayamoya Open Space 3 16/02/2019 Saturday 09H00-16H00 Nyathikazi Hall & Twele 16 17/02/2019 Sunday 09H00-16H00 Nyoniyamanzi Marquee 16 18/02/2019 Monday 16H00 - 19H00 Mdoniville Hall 16 19/02/2019 Tuesday 16H00 - 19H00 Mdoniville Hall 16 20/02/2019 Wednesday 16H00 - 19H00

Stg Heights Grounds - Marquee 28 21/02/2019 Thursday 16H00 - 19H00 Shakaskraal Primary School 9 23/02/2019 Saturday 09H00-16H00 Malende Community Hall 9 24/02/2019 Sunday 09H00-16H00 Malende Community Hall 9 25/02/2019 Monday 16H00 - 19H00 Hangosi Community Hall 9 26/03/2019 Tuesday 16H00 - 19H00 Hangosi Community Hall 20 27/02/2019 Wednesday 16H00 - 19H00 Snyman Community Hall 20 28/02/2019 Thursday 16H00 - 19H00 Snyman Community Hall 5 02/03/2019 Saturday 09H00-16H00 Lindelani Community Hall 5 03/03/2019 Sunday 09H00-16H00 Lindelani Community Hall 5 04/03/2019 Monday 16H00 - 19H00 Ext 36 Community Hall 5 05/03/2019 Tuesday 16H00 - 19H00 Ext 36 Community Hall 5 06/03/2019 Wednesday 16H00 - 19H00 Ext 36 Community Hall 5 07/03/2019 Thursday 16H00 - 19H00 Ext 36 Community Hall 25 09/03/2019 Saturday 09H00-16H00 Mdlebeni Community Hall 25 10/03/2019 Sunday 09H00-16H00 Vulingqondo koNkosi 15 11/03/2019 Monday 16H00 - 19H00 Gledhow Creche 15 12/03/2019 Tuesday 16H00 - 19H00 Gledhow Creche 22 13/03/2019 Wednesday 16H00 - 19H00 Shakaskraal Library 17 14/03/2019 Thursday 16H00 - 19H00 Stanger Manor Community Hall 4 16/03/2019 Saturday 09H00-16H00 Shakashead Community hall 4 17/03/2019 Sunday 09H00-16H00 Shakashead Community hall 4 18/03/2019 Monday 16H00 - 19H00 Shakashead Community hall 18 19/03/2019 Tuesday 09H00-16H00 Shakaville Community Hall 18 20/03/2019 Wednesday 16H00 - 19H00 Shakaville Community Hall 13 21/03/2019 Thursday 09H00 - 16H00 Steve Biko (Esontweni) 18 23/03/2019 Saturday 09H00-16H00 Mbozamo - Marquee 18 24/03/2019 Sunday 09H00-16H00

Mbozamo - Marquee 12 25/03/2019 Monday 16H00 - 19H00 Thembeni Community Hall 12 26/03/2019 Tuesday 16H00 - 19H00 Thembeni Community Hall 12 27/03/2019 Wednesday 16H00 - 19H00 Thembeni Community Hall 12 28/03/2019 Thursday 16H00 - 19H00 Thembeni Community Hall 14 30/03/2019 Saturday 09H00-16H00 KwaDube Butchery - Marquee 14 31/03/2019 Sunday 09H00-16H00 Lloyd Community Hall 8 01/04/2019 Monday 16H00 - 19H00 Nkobongo Community Hall 8 02/04/2019 Tuesday 16H00 - 19H00 Nkobongo Community Hall 8 03/04/2019 Wednesday 16H00 - 19H00 Nkobongo Community Hall 8 04/04/2019 Thursday 16H00 - 19H00 Nkobongo Community Hall 23 06/04/2019 Saturday 09H00-16H00 Shayamoya Community Hall 23 07/04/2019 Sunday 09H00-16H00 Shayamoya Community Hall 23 08/04/2019 Monday 16H00 - 19H00 Shayamoya Community Hall 23 09/04/2019 Tuesday 16H00 - 19H00 Shayamoya Community Hall 26 10/04/2019 Wednesday 16H00 - 19H00 Glenhills D Section 27 22/04/2019 Monday 09H00-16H00 Madundube Community Hall 11 13/04/2019 Saturday 09H00-16H00 Thandanani Community Hall 11 14/04/2019 Sunday 09H00-16H00 Thandanani Community Hall 7 27/04/2019 Saturday 09H00-16H00 Etete Community Hall 7 28/04/2019 Sunday 09H00-16H00 Etete Community Hall 7 01/05/2019 Wednesday 09H00-16H00 Etete Community Hall 24 04/05/2019 Saturday 09H00-16H00 Melville Primary School 24 05/05/2019 Sunday 09H00-16H00 Melville Primary School 10 11/05/2019 Saturday 09H00-16H00 Groutville Community Hall 10 12/05/2019 Sunday 09H00-16H00 Groutville Community Hall 15 18/05/2019 Saturday 09H00-16H00 Chris Hani Community Hall 26 19/05/2019 Sunday 09H00-16H00

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Nevas Community Hall 24 25/05/2019 Saturday 09H00-16H00 Congo - Marquee 3 26/05/2019 Sunday 09H00-16H00 Nonoti Community Hall 25 & 3 01/06/2019 Saturday 09H00 & 13H00 Sansauci & New G 22 & 6 02/06/2019 Sunday 09H00 & 13H00 Salt Rock Library & Ballito Library 17 08/06/2019 Saturday 09H00-16H00 Dendethu 21 09/06/2019 Sunday 09H00-16H00 Driefontein Community Hall 29 15/06/2019 Saturday 09H00-16H00 Dube Village Creche 29 16/06/2019 Sunday 09H00-16H00 Dube Village Creche 29 17/06/2019 Monday 09H00-16H00 Ephostoli esontweni QAPHELA: Lemininingwane ebhalwe ngezansi iyadingeka kuwowonke umuntu ozobhalisa noma ngabe uyaqala ukubhalisa noma ngabe uvele uyahlomula. OKUDINGEKA KUHAMBISANE NESICELO SAKHO 1. Umazisi wakho kanye nabo bonke ohlala nabo ekhaya 2. Izitifiketi zokuzalwa zabantwana ohlala nabo 3. Izincwadi zokuhola zabo bonke abasebenzayo nabathola imali yesibonelelo kuhulumeni 4. Isitatimende sezidingongqangi ozikhokhelayo kumasipala noma intela yomhlaba 5. Ikhadi likagesi eselisebenzile noma leli othenga ngalo 6. Isitifiketi sokushona komninimuzi uma engasekho 7. Izitifiketi zokushona kwabazali kubantwana abazobhalisa uma bengasekho abazali bonke 8. Amagama amabili ezihlobo nezinombolo zazo zezingcingo 9. Uma ofaka isicelo eqshile akathole incwadi efungelwe (affidavit) kumnini wendlu eyisiqinisekiso sokuqasha. uMkhandlu waKwadukuza oholwa wuMeya, ukhansela NR Mthembu, uyabonga kakhulu ukusebenzisana ngokubambisana nomphakathi waKwadukuza namaphethelo. MN22/2019


IKHASI 4

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

FEBRUWARI 2019

Izonikela ngezigidi zamarandi i-SAFDA kubalimi bamoba

TEBOGO SIBISI

BAZOHLEKA bodwa abalimi bamoba abalima ngokuncane esiFundazweni saKwaZulu-Natali kulo nyaka kulandela isimemezelo esenziwe inhlangano iSouth African Farmers Development Association (SAFDA) sokuthi sebezothola imali eyisilandelelo kabili ngonyaka iminyaka emihlanu ezayo.Le nhlangano iveze lokhu ngesikhathi inesithangami nabezindaba ebisibanjelwe eMhlanga maphakathi nenyanga nalapho imemezele ukuthi kusukela ekupheleni kukaJanuwari izokhipha imali engu- R60 million wamarandi kubalimi abamnyama abakhiqize umoba ngonyaka ka 2018/2019 okuyinto ebiyenzeka kanye ngonyaka ngenyanga kaMashi. OyiSkhulu esiphezelu sale nhlangano uDk. Syabonga Madlala uthe ukusuka manje kuyaphambili umlimi omnyama kamoba kuzomele azibone ebelulekile

njengomlimi.”Ngesikhathi sisungula le nhlangano eminyakeni emithathu eyedlule enye yezinto esasizilwela okunye kwakho yikhona lokhu esikubona kuzoqala ukwenzeka kulo nyaka njengoba kuzoba okokuqala ngqa umlimi omnyama ethola imali eyisilandelelo ngenyanga kaJanuwari.Phambilini izilandelelo beziphuma ngenyanga kaMashi kodwa isifiso sethu ukuthi iphume kathathu onyakeni kodwa sesiyayibona indlela eyaphambili.Siyafisake ukuveza ukuthi umlimi engenza noma yini ukuzithuthukisa nokubheka izidingo zakhe ngalemali njengoba kuyisikhathi esinzima senyanga kaJanuwari.Sinxusa bonke abalimi abangamalungu ethu babheke omakhalekhukhwini babo ukuphela kwale nyanga babheke imiyalezo ezobe ibazisa ngokungena kwemali yabo bese sigcizelela kulabo abazobhekana nezingqinamba ukuthi baxhumane nabaphathi beSAFDA bendawo umuntu

Syabonga Madlala oyiSikhulu kwiSAFDA ahlala kuyona.”kusho uMadlala. Inhloko ebhekelela ukuthuthukiswa kwabalimi ngaphansi kwale nhlangano uMnuz. Sfiso Mnguni uzwakalise ukubonga igxathu eselithathwa ilenhlangano.”Sijabula kakhulu ukubona inhlangano yethu yenza izinto ezikhombisa ukuthuthukisa abalimi abamnyama. Ziningi izinqinamba abalimi abamnya-

ma embonini kaShukela abebebhekene nazo njengoba le mboni phambilini ibibonakalala ihlomulisa abamhlophe kuphela,kodwa ukusuka manje kuyaphambili kubonakala umzabalazo wethu uqhubeka ngendlela okuyiyona.”Kanti balinganiselwa ezi-11 000 abalimi abazohlomula kule mali.

Uzokwenza izifundo zobuMeli ophase ngamalengiso kwesabakhubazekile eMgungundlovu

uNgqongqnoshe wezeZimali KZN. uBellinda Scott nomfundi ophume phambili uThabile Qondani SKHUMBUZO NZUZA UKUSEBENZA ngokuzimisela kuthele izithelo ezinhle empilweni kaThabile Qondani (20) ophila nokubazeka njengoba ebaqwaqwade bonke emakhanda abafundi kwimiphumela kamatikuletsheni yokuhlolwa kwangonyaka ka-2018 abebebhala izivivinyo zolimi lokukhuluma ngezandla,ngemva kokuthi lolulimi luthulwe ngokusemthethweni ngonyaka owedlule ukuthi seluzofundwa njengezinye izilimi ezikoleni.UQondani nongowodabuka eMgungundlovu uphume isibili iSouth Africa yonke kumatikuletsheni.

UNgqongqoshe wezezimali KwaZulu-Natali uNkk. Bellinda Scott mhlaka-22 Januwari uklomelise abafundi abaphase ngamalengiso kuMatikuletsheni ngezindondo esikoleni esifundisa abantwana abakhubazekile iKwa Thintwa School for the Deaf nalapho uQondani enze ezibukwayo ngokuzibuthela izindondo. Lom cimbi ubuhanjelwe othisha ,abafundi,abasebenzi bakaHulumeni kanye nezinhlaka ezilekelela ukusebenza kwesikole.uNgqongqoshe uthe uzishaya isifuba ngesikole saKwa Thintwa futhi uMnyango uzoqhubeka nokuseseka, wancoma abasebenzi balesikole wathi lokhu kuveza ngokusobala ukuthi isikole noma

kungabe asinayo imali etheni nezinsiza kodwa siyakwazi ukukhiqiza imiphumela emihle inqobo mangabe othisha bezobeka phambili umsebenzi wabo. ‘’Wonke umuntu ofuna ukubona imiphumela yokusebenza ngokuzinikela ngithi akeze kulesikole,abantwana balapha ababukeki bekhubazekile kodwa babukeka bengabantwana abanokukhuthazeka okukhulu ngaphakathi kubona’’kusho uScott.Uthisha oseshiya kulesikole obekade efundisa ulimi lwesingisi uNkk. Stephanie Paul,uthi uQondani ukhombisile ukuthi mukhulu umsebenzi owenziwa othisha noThishanhloko kulesikole,wathi ufike kusona ngonyaka ka-2012 evela kwezinye

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

izikole ’’Bonke ozakwethu bangamkela ngemfudumalo bangeseka,ngiyafisa ukuthi bengingaba kulesikole impilo yami yonke kodwa sekufike isikhathi sokuthi ngihambe’’. UQondani uthole ithuba lokuyoqhuba izifundo zakhe ze LLB eNyuvesi yaseZululand kanti ubonge kakhulu uMalumekazi wakhe ngokumeseka.”Bekunzima ukukhula ngaphandle kwabazali nokwamukela ukukhubazeka,kodwa umalume nomalumekazi bangesekile ngakho konke ebengikudinga’’kusho uQondani. UNgqongqoshe uScott uthe uyaziqhenya ngo Thabile futhi ukholwa ukuthi uzokwenza kahle kwizifundo zakhe zobuMeli,wakhuthaza abanye abafundi wathi kumele bazi ukuthi imfundo ibalulekile futhi uMengameli wakusasa uzophuma kubona . UThishanhloko kulesikole uDkt Mavis Naidoo uthe isikole sekuphele iminyaka eyisishiyagalombili sithola o-100%,wathi kubafundi abayisishiyagalombili ababhale ngonyaka owedlule abahlanu kubona baphase ngama Bachelor abanye bathola ama Diplomer wathi izinga lokuphasa linyuke kakhulu njengoba abafundi bephase ngo-A,B kanye nango C kwizifundo zabo .Okunye okudalulwe uThishanhloko ukuthi lesikole ngonyaka owedlule sisingathe uhlelo lwama Boot Camps obeluholwa uMnyango wezemfundo kanye nabanye abafundi abavela ezikoleni ezingaphansi kweSifunda iPinetown.Abafundi abenze kahle kuhlelo lwama Boot Camps nabo bahlonishwe ngezindondo,oyedwa wabafundi uthole o-A abayisishiyagalombili omunye wathola abayisikhombisa abanye abafundi abangu-8 bathola o-A abayisithupha umfundi ngamunye.


FEBRUWARI 2019

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 5

IKHASI LIXHASWE UMASIPALA WETHEKU

Kuhlomulise intsha ukuthuthukiswa kwesikole esiKwaMashu Ward 104: Cllr Muziwenhlanhla Conelius Shezi

Abantu abasha beqhubeka nomsebenzi wokubeka izitini kulezo zindawo ezingakavaleki

MAKHOSI MNGOMA ISAZOHLOMULA ngamanye amathuba emisebenzi ahlukahlukene intsha yakuwadi 104 elokishini laKwaMashu ngaphansi kamasipala weTheku njengoba kuqhubeka iprojekthi yokwandiswa kwamakilasi esikoleni samabanga aphansi i-eThekwini Primary School esizinze esigcemeni sakwa-B.Ukwandiswa kwamakilasi alesikole kuza emva kosizo esiluthole kwisikhwama esibizwa nge-Cotton On Foundation okuyisona esifake isandla ukuze kwandiswe amakilasi kulandela ukwanda kwesibalo sezingane obese kuholela ekutheni zihlale ngokuminyana emakilasini.Omele umphakathi aphinde abe nguMxhumanisi womphakathi nabakwaCotton On uMnuz. Phelelani Mkhize uthe kulethe uguquko olukhulu emphakathini ukuqalwa kwaleprojekthi.”Kuningi kakhulu esesikubone kwenzeka selokhu waqala lo msebenzi ngoSepthemba wangonyaka odlule.Kumanje kunabantu abasha abebehleli emakhaya neziqu zabo bengasebenzi kodwa abakwazile ukuhlomula ngamathuba emisebenzi.Sikholelwa ekutheni siwumphakathi kumele sikujabulele ukuba nesikole endaweni futhi kube ithina esinakekela izakhiwo.Ukufika kwalolu xhaso lwaleSkhwama kusijabulise kakhulu futhi sizimisele ngokusinakekela sibambisene singumphakathi.”kusho uMkhize. OnguMxhumanisi woMphakathi nobheka ukuqhubeka kwaleprojekthi (Community Liason Officer -CLO) ngaphansi kwal ewadi uMnuz. Xolani Ngcobo

uthe yize bezikhona izinselelo ngenxa yesibalo esiphezulu sabantu abebedinga amathuba kodwa sikwazile ukuqinisekisa ukuthi sithatha isibalo esilingayo ngokwezigceme ukuze wonke umuntu ezozuza ngendlela elinganayo.”Selokhu iqalile le projekthi kunentsha esebenzayo ngamakhono ahlukene eqeqeshelwe wona. Kumanje kunabantu abasha abalinganiselwa ema-50 abathola uqeqesho lokubeka isitini (bricl laying) kanye nokuxhunywa kwamapayipi (Plumbing) nokuzothi uma bephothula uqeqesho lwabo baqashwe benze umsebenzi ebebewufundela.Sinezigaba ezimbili okumele kushaye inyanga ka-Septhemba kulo nyaka seziphothuliwe zombili .Isigaba sokuqala okuwuPhase-1 ulinganiselwa ku75% umsebenzi osuphothuliwe kanti kwisigaba sesibili okuwuPhase 2 kuzobe sekuvela amanye amathuba emisebenzi lapho kuzobe sekulungiswa kabusha amanye amakilasi ezakhiwo ezindala okuyizona ezifundela abafundi.Sibonga nokusebenzisana okuhle phakathi

Abasebenzi beqhubeka nomsebenzi wokufaka uphahla. kwabezimkampani nomphakathi njengoba umsebenzi usaqhubeka.Siyawunxusa nomphakathi uze ngaphambili ikakhulukazi labo abaneziqu futhi abaqeqeshelwe amakhono okuxhunywa kwamapayipi amanzi kanye nogesi.”kuchaza uNgcobo. USihlalo weBhodi elimele abazali (SGB) kule sikole uNkk. Thabile Gloria Mthiyane uzwakalise injabulo ngokwandiswa kwamakilasi alesikole.”Siwuncoma kakhulu umsebenzi esiwubona wenzeka esikoleni sethu.Njengabazali sikholelwa ekutheni kubalulekile

Abasebezni befakela uphahla lwesikole ukuthi abantwana bethu bafunde ezikoleni eziseduze namakhaya abo ngoba lokhu kwenza baphephe kwizigilamkhuba.Amakilasi ebesinawo abenamagumbi ayi-16 ngenxa yokwanda kwabafundi bese sibhekana nenkinga yokuminyana kwabafundi njengoba isikole sethu siqala kwaGrade-R kuya kuGrade 7.”kusho uNkk. Mthiyane. Alinganiselwa kwayi-16 amikalasi okwandiswa ngawo lesikole kanye namahhovisi angaphezu kwamahlanu(5) okubalwa nesigcina-lwazi (Library) kanti ingu R 20 million wamarandi imali ezosetshenziswa ngokulungiwa kwalesikole.UKhansela wakule wadi uCllr Nhlanhla Shezi uncome kakhulu ukubambisana abanakho nomphakathi kanye nabaphathi besikole.”Selokhu uqalile lo msebenzi kuningi kakhulu ukubambisana esinakho futhi sekuholele ekutheni nobugebengu obese kuvame ukwenzeka kule sikole kunciphe.Siyafisake ukubona inqubekela phambili ngaleprojekthi futhi nalabo abangakahlomuli babekezele kuze kufike esabo isikhathi, Mina ngizivulile izandla uma kukhona abangagculisekile ukuze bathole ulwazi olufanele.”Kusho uShezi

Esithombeni uCLO uMnuz.Xolani Ngcobo

Luzophothulwa maduze uhlelo lokulungiswa kwemigwaqo KwaMashu MAKHOSI MNGOMA

Umgwaqo osesigcemeni sakwa-B elokishini laKwaMashu uGiya Road osuphothuliwe ukufakelwa itiyela elisha.

USUKUSHAYELE ihlombe ukulungiswa kwemigwaqo kabusha umphakathi ohlala kuwadi-104 elokishini laKwaMashu ngaphansi kamasipala weTheku.Lolu hlelo luqale ngonyaka odlule ngenyanga ka-Okthoba kanti iyisithupha (6) imigwaqo eyangena ohlwelweni lokulungiswa kabusha uNyala,uDlokwe,uSihlabelelo,uGiya,Chakide kanye noDlodlo njengoba emine yawo isiqediwe ukulungiswa.Ukhansela wakule wadi uCllr. Nhlanhla Shezi uthe uhlelo lusahamba kahle kakhulu.”Selokhu lwaqala ngonyaka odlule lolu hlelo akukho zihibe esike sabhekana nazo ngoba ngaphambi kokuthi luqale saqinisekisa ukuthi umphakathi

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

siwazise njengoba kumanje kukhona abahlomula ngamathuba emisebenzi. Ukulungiswa komgwaqo ngamunye kudala amathuba ayisthupha omsebenzi kanti atholwa abantu abasha.” Kuchaza uShezi.Oyilungu lo mphakathi aphinde abe yilungu leKomiti kulewadi uMnuz. Nduna Majozi uncome kakhulu umsebenzi oqhubekayo ewadini.Siyawubonga kakhulu lomsebenzi esiwubonayo ewadini ngoba eminye yemigwaqo ibisigugile futhi isiqala nokunika inkinga abahamba ngezimoto.Uhlobo lwemishini esiyisebenzisayo yilona olwenza umsebenzi esiwenzayo usheshe ngoba eminye yawo kusithatha usuku olulodwa kuphela ukuwenza bese uyaphela.’’kusho uMajozi.


IKHASI 6

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

FEBRUWARI 2019

“IZINDABA ZIKAMSIPALA WAKWADUKUZA” Kwa-Dukuza Meya: Ricardo Mthembu

Kunxuswe umphakathi uhloniphe abatshalizimali KDM

uMeya waKwa-Dukuza Ricardo Mthembu TEBOGO SIBISI UMEYA kumasipala waKwaDukuza uCllr Ricardo Mthembu usenxuse umphakathi ngokuthi uhloniphe abatshalizimali uma kukhona ushintsho abeza nalo endaweni.Umeya usho lokhu esithangamini sabezindaba ngesikhathi ethula umbiko wamaphakathi nonyaka ngebanga eselihanjwe ilo masipala ngokusetsthenziswa kwesabelo mali sonyaka wezimali u2018/2019 kulandela ukuthi lomasipala uthole umbiko ohlanzekile emva kokuthi

umcwaningi mabhuku kade ededela umbiko wamaphakathi nonyaka wokusebenza komasipala.UMthembu uzwakalise ukukhathazeka ngempatho enikwa abatshalizimali ngamalunga omphakathi.”Umasipala wethu ungomunye womasipala esingacishe sithi bakhudlwana belandela iTheku Metro kanye noMhlathuze ngendlela abakheke ngayo esifundazweni saKwaZulu-Natali kodwa kungiphatha ukubona amalungu omphakathi engafuni ukuphatha kahle abatshalizimali ngoba bethi ngeke bona batshelwe umuntu

wokufika endaweni ekubeni labo batshalizimali bezophucula izimpilo zabo ngokudala amathuba emisebenzi.Umphakathi ngiyawunxusa ulihloniphe ithuba lokuba namaFemi eduze namakhaya awo ngoba lokho kuwunciphisela izindleko kanye nokushintsha izimpilo zawo.Kuningi esifisa kwenzeke ukuze umasipala wethu kube umasipala omsebenzela abantu ngezindlela futhi sisebenza kanzima ukuheha abatshalizimali ukuze sithuthukise umnotho wethu kanye nokudala amathuba emisebenzi afanele.Umphakathi

kumele ulibonge ithuba lokubona kuba nezindawo eziwunika ithuba lokushintsha impilo ngoba baningi abantu abasuke belifisa ithuba lokuphucula izimpilo zabo. Asifisi ukuzibona sigcina siletha intuthuko kuphela kubantu kodwa kuningi okuhle esikufisela umasipala wethu futhi esinesiqiniseko ukuthi kungenzeka uma sibambisene kahle nomphakathi.”Kusho uMthembu. UMthembu uphinde wadalula ukuthi ukuthola kwabo umbiko ohlanzekile akusho ukuthi sekwanele kodwa kukhona izinto ezintathu okumele bazilungise ukuze uma kuphela unyaka wezimala ka2018/2019 bathole umbiko ongenagcobho kulandela ukuthi lomasipala sekuphele iminyaka eyi-13 uthola umbiko ohlanzekile.’’Ukuthola kwethu lombiko isikhathi esingaka kuyasigqugquzela ukuthi siqhubeke sisebenzise izimali ngokucophelela kodwa futhi awusho ukuthi siyazixhaphaza kuphela kunezinto ezibe nokushayisana noMnyango kamcwaningi mabhuku ezithinta ukulethwa kwentuthuko emphakathini lapho umnyango wezokuBuza nokuBambisana neziNdaba zoMdaba wawusinike imvume yokuzenza okuthe ngokomcwaningi mabhuku zaveza ukuthi azihambisani nemigomo ethize kwaphoqa ukuthi siziyeke lezo zinhlelo.” Kanti uMeya uphinde wabonga amalungu omphakathi ngokuphuma ngobuningi bawo ukuyobhalisela ukuvota njengoba abakwa IEC bebevule ithuba lokugcina lokuzobhalisa kanye nokubheka amakheli.

Luzoqhubeka nasezikoleni olukubhaliselwa ukuvota KDM TEBOGO SIBISI ABENHLANGANO eyangamele ezokhetho ngaphansi kamasipala waKwaDukuza bathi bazoba nohlelo lokuhambela izikole bebhalisela abafundi ukuvota kulabo bafundi abaphakathi kweminyaka eyi 16- 18 kodwa akubona bonke abazokwazi ukuvota njengoba kuza ukhetho lukaZwelonke ngenyanga kaMay. Le nhlangano iveze lokhu ngesikhathi umasipala.NYDA,IEC kanye neNYS bebambe ingqungquthela obekuhloswe ngayo ukufundisa intsha ngokubaluleka ngokubhalisela ukuvota.Ekhuluma kule ngqungquthela uCebile Mpanza wakwa-IEC uthe kunezikhungo zezeMfundo ephakeme abazozisebenzisela ukubhalisa abafundi. ”Kusukela mhlaka ziyi-31 Januwari kuya ku-8 Febhruwari sizovula ithuba lokubhalisa intsha engabafundi engalitholanga ithuba lokubhalisa njengoba bekuvulwe ithuba lokubhalisa kanye nokubheka amakheli.Ezikoleni nakhona sizobe sikhona siphusha wona umkhankaso wokubhalisa kodwa kumele sikucacise ukuthi akuwona wonke umuntu ophakathi kweminyaka 16- 18 ozokwazi

ukuvota ngoMay kuphela kuzoba ilabo abaneminyaka eyi-18 abazokwazi ukuvota, bese kuthi kulabo abano-16 sibaphungulela umthwalo nokuthi babe bengena ohlwini kuseyimanje okuyothi uma kushaya ukhetho lwangonyaka ozayo bebe sebekwazi ukuvota.”Kuchaza uMpanza . Ethula inkulumo yakhe umeya uCllr

Ricardo Mthembu ukhumbuze intsha ngomlando wokuqaliswa kokuvota eNingizimu.”Sibhekana nenkinga ngasosonke uma sihlangana nentsha ngoba abanye abanayo incazelo efanele mayelana nokubaluleka kokuvota kanti futhi abanye abawazi umsuka wayo ngenxa yesikhathi abazalwe ngaso.Sikubone kubalulikile

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

ukwena ingqungquthela efana nale lapho sizofundisa futhi sigqugquzela intsha mayelana nokubaluleka kokuvota ikakhulukazi njengoba kuza ukhetho.Sibonga kakhulu ukubona abantu abasha begcwele lelihholo futhi siyabanxusa ekutheni ngasosonke isikhathi basondele emahhovisi kamasipala ukuzobheka amathuba akhona kanye nezinye zezinto ezingenza izimpilo zabo zibengcono njengoba sinalo uhlaka olubamele ngaphansi kamasipala wethu.Kuzomele nikuqonde ukuthi akunina nonke eniyothola umsebenzi ngokuthi niwufundele kodwa bakhona abaphiwe ukusenza ngokusebenzisa ikhono lakhe siyafisake ukusho ukuthi sinazo izinhlelo zokunika ithuba labo abanesifiso sokuthola uqeqesho ngokwamakhono ngoba sikholelwa ekutheni ngokwenza lokho impilo ingashintsa kunokuhlala ekhaya nesiphiwo onaso.”kusho uMthembu.Kanti ongumphathi wohlaka olumele intsha ngaphansi kalo masipala uMnuz. Sabelo Nyuswa uthe bazokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu omusha uyabhalisela ukuvota waphinde wabagqugquzela ngokuza ehhovisi uma bedinga usizo oluzothuthukisa izimpilo zabo.


FEBRUWARI 2019

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Uthando ezinganeni VUSI CEBEKHULU Enyangeni kaZibandlela (December) onyakeni owedlule 2018, sibone isigameko esibuhlungu kwi sifundazwe sase Mpumalanga lapho owesifazane ebulala izingane zakhe ezine (4). Asikalitholi iqiniso eliphelele esiyimbangela yalesenzo esibuhlungu kangaka,

kodwa ngifuna sithathe lelithuba sixoxe ngothando ezinganeni. Ngikhuluma ngendaba yothando ezinganeni ngenkathi sibheke enyangeni yezothando, ngiyazi iningi lethu sibheke kakhulu endabeni yokuthokozisa abantu esihlekisana noma esiganene nabo. Nginxenxa amadoda nabesifazane ukunga sebenzisi izingane ekulweni izimpi

zethu noma ukuzwisa omunye ubuhlungu ngokulimaza amalungelo ezingane. Kubantu besilisa, ngiyacela madoda ukuthi sizame ngawo wonke amandla ethu ukondla izingane uma amandla ekhona, kodwa futhi akupheleli nje emalini ngoba ukuba khona nje empilweni yomtwana kubalulekile. Ukumxhasa nje ngezifundo,

IKHASI 7 ukuxoxa naye ukwazi ukuthi kuhamba njani emsebenzini wakhe esikoleni noma yikuphi okumphethe kabi; kuyayenelisa ingane. Ukukhulisa ingane akupheleli nje emandleni ngokwezimali ngoba asiyona imishini yemali (ATM) kodwa singabazali. Ngibuye ngize kwabesifazane ngoba abanye benza kubelukhuni ukuba ingane ibonane nobaba wayo, ngoba ubaba engenawo amandla okondla noma ngenxa yokungaboni ngaso linye. Ngithanda ukuthi sazi bazali ukuthi kuhko konke ukulwa kwethu sisebenzisa izingane kuyazilimaza emqondweni nasemoyeni. Ngakho angithi nibuyelane kodwa ngithi yenzani okuhle ezinganeni siziphe isipho esikhulu esiwuthando kulo nyaka. Uma ungumzali ongahlali nengane yakho, bhala nje incwadi encane umtshela ngendlela omthanda ngayo. Noma ke uma ungenayo ingane, buka nje ingane ekhona emphakathini noma umshana wakho umtshele ukuthi uyamthanda njengo malume noma u-anti. Happy Valentine!!!

“IZINDABA ZAKUMASIPALA WASEMANDENI”

Mandeni Meya: Cllr Siphesihle Zulu

Ukhuthaze abafundi ngenhlonipho uMeya

Bahlinzekwe ngamatayitela abahlali baseMandeni

IMEYA kuMasipala waseMandeni uKhansela Sphesihle Zulu uvakashele isikole samabanga aphezulu iSinyabusi Technical High School.IMeya uZulu ikhuthaze abafundi ukuthi baziphathe kahle bazihloniphe,bahloniphe umfaniswano wesikole abawugqokayo,othisha babo Kanye nabazali

LUBE yimpumelelo uhlelo lokuhlinzeka ngamatayitela kubahlali basendaweni yase Khenani ngaphansi kukaMasipala waseMandeni mhlaka 29 Januwari,ngalolu suku uMasipala uphinde wamemezela ngokusemthethweni osonkontileka ababili abazokwakha ibhuloho labahamba ngezinyawo kuyona lendawo ezofakelwa ugesi lapho kuhamba khona abantu mangabe isiqediwe ukwakhiwa.Umsebenzi uqale mhlaka 28 Januwari kulindeleke ukuthi uqedwe ezinyangeni eziyisithupha ezizayo kanti okunye okuvelile ukuthi kuhlanganiswe ithimba eliphezulu lochwepheshe kwezokwakha ukuqinisekisa ukuthi lelibhuloho libasezingeni eliphezulu,okunye okuvelile ukuthi uMasipala uphoqe osonkontileka ukuthi abasebenzi kube abantu basendaweni.

emakhaya.UZulu uphinde waluleka abafundi ukuthi bahlale njalo belwela ukuvelela kunabanye abantu kugqame bona ,wathi uma kukuthi kubo kukamfundi bafunda bagcina kumatikuletsheni,umfundi akabhale umlando omusha ngomndeni,abe owokuqala ozoba neziqu zaseNyuvesi

ILEMBE DISTRICT MUNICIPALITY ILEMBE-UMASIPALA WESIFUNDA ANNUAL REPORT 2017/2018 Notice is given in terms of section 127 of the Local Government: Municipal Finance Management Act, 2003 (Act 56 of 2003) that the 2017/2018 Annual Report of the iLembe District Municipality, including the 2017/2018 Annual Report of iLembe Management Development Enterprise (Pty) Ltd is available for public inspection. A copy of the Annual Report may be viewed at the Reception area, 1st Floor, iLembe House, 59/61 Mahatma Gandhi Street, KwaDukuza, between the hours 08h00 to 15h00, Monday to Friday. Alternatively, a copy of the Report may be viewed on the Municipality’s website: www.ilembe.gov.za Members of the local community are invited to submit written representations in connection with the Annual

Report to the Acting Municipal Manager, iLembe District Municipality, iLembe House, 59/61 Mahatma Gandhi Street, KwaDukuza or P O Box 1788, KwaDukuza, 4450. Such submissions should be delivered or posted to reach the Municipal Manager by no later than 21 February 2019. Any person who cannot write may come to the Reception area, 1st Floor, iLembe House, 59/61 Mahatma Gandhi Street, KwaDukuza, between the hours 08h00 to 15h00, Monday to Friday where Philly Gcabashe will assist that person to transcribe his or her representations. N.G. KUMALO ACTING MUNICIPAL MANAGER 31 January 2019

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


IKHASI 8

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

FEBRUWARI 2019

Sivubela Intuthuko

EZEMIDLALO

Kuzogqugquzelwa intsha ngomqhudelwano

Intsha okulindeleke ukuba ibe yinxenye yomqhudelwano iSiyayinqobab Beat It ozoba seMzingazi THABANI MAPHUMULO KUZOGQUGQUZELWA intsha

eyakhele indawo yakwaMbonambi ngaphandle kwedolobha iRichards Bay ukuba isoke ngomqhudelwano kanobhu-

tshuzwayo ozoba mhla zishumi nanhlu kuNhlolanja eMzingazi. Lo mqhudelwano uhlelo aboMnyango wezeMpilo ngaphan-

si komkhankaso kaSiyayinqoba Beat It. Kuzogqugquzelwa abesilisa ukuba basoke ukuze bazivikele kwizifo zocansi. Okhulumela abakwaSiyayinqoba unkosazane Wendy Khumalo nophinde abe ngumhlelo womqhudelwano uthi inhloso enkulu ngalomqhudelwano ukudlulisa umyalezo emphakathini. “Sikholwa ukuthi ezemidlalo iyona ndlela elula yokuhlanganisa umphakathi kuphinde kudlule nomyalezo wethu esiwushumayelayo wokuthi abantu besilisa abasoke ukuvikela izifo,” “Abantu besilisa isikhathi esiningi ubathola ezinkundleni zemidlalo , sikholwa ukuthi lomqhudelwano uzosisiza kakhulu ukuhlaba ikhwelo emphakathini,” kusho Khumalo. Lo mqhudelwano uzobe uhlanganisa abadlali abangaphani kweminyaka engu-U/15 kanti namaqembu afisa ukuba yinxenye asenalo ithuba. Abazonqoba lapha bazohlomula ngezindebe kanye nezindondo kanye neminye imikhiqizo ezobe ikhishwa abakwaSiyayinqoba. Uma ninesifiso sokujoyina kulomqhudelwano ningaxhumana nomunye wabagqugqueli balomqhudelwano uPhumalni Khanyile kulenombolo engezansi:073 907 49 10.

Kugqugquzelwe ukuzivocavoca kwizisebenzi THABANI MAPHUMULO KUGQUGQUZELWE ukuzivocavoca kwizisebenzi zoMnyango wezeMidlalo kulesifundazwe kwimidlalo ebibanjelwe KwaDukuza esikoleni iStanger High. Lolu hlelo kuhloswe ngalo ukugqugquzela izisebenzi zikahulumeni ukuba zizivocavoce ukuze zihlale ziphilile ngokwempilo. Kulindeleke ukuthi kube nemidlalo eyaziwa ngokuthi iWork and Play Championships ezoba ngenyanga uNhlaba ozobe uhlanganisa yonke iminyango

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

kahulumeni kulesifundazwe. UNgqongqoshe waloMnyango uBongi Sithole-Moloi uthe abantu kumele bahlale bephilile ukuze bakwazi ukuhlinzeka umphakathi. “Sifuna abasebenzi bahlale bephilile ngesimo sempilo ukuze bangahlale begula ngoba kusho ukuthi umphakathi wakithi awukutholi ukusizakala. Le midlalo siyayincoma kakhulu ngoba kuzothi ngenyanga kaNhlaba kube neminye yeminyango ehlukahlukene kulesifundazwe,” kusho


Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.