sivubela intuthuko newspaper

Page 1

SIVUBELA Intuthuko

ADVERTISING: (031) 8222 602

FACEBOOK: SIVUBELA INTUTHUKO

LIMAHHALA

NOVEMBA 2018

SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

USHICILELO 24

IHAMBE KAHLE IMIDLALO YABAPHILA NOKUKHUBAZEKA KZN

>> IKHASI: 8

UBUNGAZE OLOKUZALWA NODADO UMEYA

KUVULWE NGOKUSEMTHETHWENI IZIKHUNGO EZIZOSIZA UMPHAKATHI ENKANDLA

>> IKHASI: 2

>> IKHASI: 2

ATHWESWE IZIQU AMAKHANSELA KZN Kugqugquzelwe ukubaluleka kwemfundo kumakhansela abesifazane abekade ethweswa iziqu ngesonto eledlule emcimbini obubanjelwe e-Inkosi Albert Luthuli Convention Centre eThekwini. Indaba kwikhasi-5 >>>

YAZI NGEWADI LAKHO IKHASI 5 Kwesokunxele:UCllr Cynthia Ntabeni,Cllr Thokozani Dzingwa,uNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisasana neziNdaba zoMdabu esifundazweni saKwaZulu-Natali uNkk. Nomsa Dube-Ncube,noNgqongqoshe walomnyango kuZwelonke uDk Zweli Mkhize,Cllr Matho Shozi kanye noCllr Jabu Mkhwanazi


IKHASI 2

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

NOVEMBA 2018

Kwethulwe izikhungo ezintathu zomphakathi eNkandla

Tebogo Sibisi

Isikhungo sezincwadi zokushayela ebesivulwa ngokusemthethweni iLungu lePhalamende likaZwelonke iNkosi Mangosuthu Buthelezi eNkandla. KUPHELILE ukuya ezindawni ezikude kumalungu omphakathi waseNkandla uma ufuna izimvume zezincwadi

zokushayela.Ngesonto eledlule iLungu lephalamende likazwelonke iNkosi Mangosuthu Buthelezi livule ngokusemtheth-

weni isikhungo sokuhlolelwa ukukhishwa kwezimvume zokushayela izimoto kanye nesikhungo sokwamukelisa umphakathi. Ethula inkulumo yakhe uMntwana wakwaPhindangene uthe ubuholi bukalo masipala abaguquki ekuhlaleni ucabanga ngokuthi yini edingekayo ukuguqula izimpilo zabantu.”’ Kuyangijabulisa ukubona okwenzekayo ngaphansi kwalomasipala lokhu kungenza ngikuqonde ukuthi ukuphathwa kokubusa kulendawo esezingeni likahulumeni wasekhaya kwamukeliswa esabelelweni-zimali sikaZwelonke okungaphansi ngisho kwejuphana ongalifaka ekhaleni kodwa iziphathimandla zalomasipala ziyaqinisekisa ukuthi umphakathi uyahlomula ngezidingo zawo. Ngiyafisake lomasipala ungaguquki ekuhlaleni ucabanga ngokuthi yini ongayenza ukuguqula impilo yobubha ezimpilweni zabantu.” Kanti umeya wakulo masipala uCllr Thami Ntuli uthe bakubone kubalulekile

ukwakha lesi khungo ngenxa yokuthi intsha ibithwala kanzima uma ifisa ukuthola izincwadi zikushayela.” Esikhathini esiphila kusona imisebenzi eminingi edingwa abantu abasha isidinga izicucu ezihambisana nezincwadi zokushayela.Ngakho-ke bekusiphatha kabi ngasosonke isikhathi ukubona abantu abakhele lomasipala begibela beya ezindaweni ezikude uma befuna izincwadi. Siqinisekile ukuthi siqinisa nezobuchwepheshe bethu ukuze kuzonqandeka inkohlakalo ehlezi ibikwa mihla namalanga eyenzekayo ezikhungweni zezincwadi ngoba lokho kudala ukwanda kwesibalo sabantu abangena emgwaqeni bengenalo ulwazi ngemithetho yemigwaqo.”Kusho uNtuli. UMntwana wakwaPhindangene uqale ngokuvula isikhungo samaKhono nelibrari eVumanhlamvu,ihholo lamaKhosi wabe esegcina ngesikhungo sezincwadi

Ubungaze usuku lokuzalwa nodado uMeya

Makhosi Mngoma

BAHLOMULE ngamathoyizi okudlala abantwana abahlala esikhungweni iHlangabeza Early Childhood Develepment esikawadi-9 ngesikhathi uMeya wendawo uCllr Zibuyisile Khuzwayo-Dlamini ebungaza usuku lokuzalwa mhla ziyi-12 November 2018.UKhuzwayo-Dlamini ubungaze usuku lokuzalwa kwakhe ngokunikela ngamathoyizi okudlala,izihlalo,amabhola okudlala kanye nezinto zokufunda.”Sinohlelo lokuthuthukisa izikhungo zabantwana ikakhulukazi ezindaweni ezisemakhaya ngoba sikholelwa ekutheni abantwana abasabancane banga-

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

baholi baksasa.Namhlanje ngithathe isinqumo sokubungaza usuku lwami lokuzalwa nabantwana abancane ngoba wonke umuntu udlula kusona lesigaba sokufunda.”Kusho uKhuzwayo-Dlamini. Injabulo ibibhalwe kubantwana kanye namalungu omphakathi ngesikhathi kubungazwa lolusuku.UKhuzwayo-Dlamini akagcinanga ngokupha abantwana izipho kodwa uphinde waninekela ngamaphasela okudla emndenini yakulendawo edla imbuya ingothi ehlonzwe ngokohlelo lweWarRoom.


NOVEMBA 2018

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 3

Athweswe iziqu amakhansela KZN Nonhle Sosibo KUGQUGQUZELWE ukubaluleka kwemfundo kumakhansela abesifazane abekade ethweswa iziqu ngesonto eledlule emcimbini obubanjelwe e-Inkosi Albert Luthuli Convention Centre eThekwini. Lo mcimbi nothathe izinsuku ezimbili uqale ngomcimbi wokuthweswa kwaKhansela iziqu kwase kuthi usuku lwesibili lwaba inkulumo-nxoxo ngaphansi kwesiqubulo esithi “Women In Leadership Dialogue” kanti ubuhlanganise abesifazane abahlukene ikakhulukazi laba abangamakhansela kanye naMakhosi esifazane. UNgqongqoshe womnyango wezokuBusa nokuBambisananeziNdaba zoMdabu esifundazweni saKwaZulu-Natali uNkk Nomusa Dube-Ncube ubengahambi yedwa njengoba bekukhona uDk. Zweli Mkhize onguNgqongqoshe walomnyango kuzwelonke. Okugqame kakhulu kulomcimbi ukuthi abesifazane basenovalo lokungenela izikhundla ezithile uma kunezinselelo, njengoba bengamakhansela ngenxa yokusabela izimpilo zabo. UNgqongqoshe Dube-Ncube uthe banezinhlelo ezehlukene zokuqeqesha

amakhansela abesifazane ukuze uma kuphela isikhathi sokuba ngamakahansela babe nento ephathekayo ezobazisa ukuthi bakwazi ukuqhubeka nempilo. ‘’sinoqeqesho oluhlukene kuleloqeqesho sinalawo makhansela asefunde afika esigabeni sebanga leshumi (umatikuletsheni),asebekwiDiploma asebengakwazi ukuthi baqhubekele phambili namaDegrees”. Kusho uDube Ncube. Uphinde wabalula ukuthi asebefike kumatikuletsheni kodwa bengafuni ukuqhubekela kumaDiploma noma kuma Degree banohlelo lokubafaka ngaphansi kohlelo lwamakhono okuziphilisa noma kwezamabhizinisi. ‘’Abesifazane badlala indima enkulu ukukhulisa imindeni yingakho kubalulekile ukuthi sibanike lomfutho wokubaqinisa nokwazi ukuthi banalo leli khono lokuthi babe ngabaholi abaqavile’’. UDk. Zweli Mkhize naye ugcizelele ukubaluleka kokuthi amakhansela athole imfundo ukuze engeke azithole esesimeni sokudla imbuya ngothi uma sekuphele ihlandla lokuphatha. ‘’Imfundo ibalulekile ikakhulukazi kubaholi bomphakathi ukuze

Cllr Thokozani Dzingwa,uNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisasana neziNdaba zoMdabu esifundazweni saKwaZulu-Natali uNkk. Nomsa Dube-Ncube,noNgqongqoshe walomnyango kuZwelonke uDk Zweli Mkhize, Cllr Matho Shozi babe nomehluko abazowenza ezinhlakeni ezithile zikahulumeni ngoba kufanele

bakwazi ukuqonda ukuthi izinto zenzeka ngendlela yini’’. Kusho uMkhize.

UNkosikazi Thandeka Mhlongo ngesikhathi eluleka intsha yendawo uyidonse ngendlebe ukuthi idede ekuyeni ocansini ingakakulungeli. UThandeka uthi sebethole ukuthi intsha yesifazane ihushula izisusu ngenxa yokuthi isuke imithise isencane inqena ihlazo emphakathi nase sikoleni. Ebehambisana nezinhlaka zikaHulumeni SAPS, eZemfundo,eZenhlalakahle,

DU

KWA

26 - 30

NOV 18

EK

Umama was eMhlathuze uNkosikazi Thandeka Mhlongo eluleka umphakathi ngezithinta ezempilo kwiPhila Mama Campaign eNtambanana

izinhlaka zemiphakathi (Forum), inhlangano ezizimelele (NGO), izinhlaka zomdabu bobuholi bendabuko kanye zentsha. “Sifuna ukuthi intsha ingxile esikoleni Hhayi ezintweni ezingathi shu ezigcina zinesiphelo esibi kwesinye isikhathi enye intsha ilahlekelwa izimpilo zayo uma izama ukuhushula izisu ngoba baya sekwevile baphinde baye kubantu abazibiza ngodokotela kodwa benganazo iziqu zobudokotela lokho okuyingozi. “Intsha kufanele ibe mandla ikakhulu kwezemfundo Kanye nezemidlalo goba siyaqonda ukuthi akuyo yonke intsha ephumelela ngemfundo enye isizwa ukubandakanye nezemidlalo,”kusho uNksz Mhlongo. UPhumzile Mlambo ongumfundi webanga leshumi okade ehambele lomcimbi uthe bafuna ukushitsha umlando. “Sifuna ukuthi imiphakathi yethu iziqhenye ngathi ngoba njengebesifazane abese basha sesinedumele elibi lokuthi akukho okuhle esikwenzayo. “Sizibekele umgomo wokugxila kwezemfundo ukuze sizokwazi ukuthola amathuba omsebenzi futhi sikwazi ukunakekela imindeni yethu, siyaqonda ukuthi enye itsha ayinaki ngenxa ukuluthwa abantu abadala ngemali Kanye nezidakamizwa lokho sifuna ukwenza umlando endawen yangakithi,”Kubeka UPhumzile.

BUSINE ZA S WE

Makhosi Mngoma

KU

S

UMama wase Mhlathuze usenxuse intsha yabesifazane bendawo ukuthi iwuyeke umkhuba wokuhushulwa kwezisusu.

“THE ENTREPRENEURSHIP REVOLUTION”

KWADUKUZA MAYOR, DR. NR MTHEMBU

KWADUKUZA BUSINESS WEEK KwaDukuza Municipality in partnership with its stakeholder’s invites businesses, SMME’s including Cooperatives, government departments and agencies, local and surrounding communities, to attend and participate in KwaDukuza Business Week activities, taking place from 26 – 30 November 2018. KwaDukuza Business Week provides a strategic platform for businesses to acquire and share information and knowledge, connect with other businesses and ascertain business opportunities as well as to showcase and promote innovative products and services to potential buyers and customers. THE BUSINESS WEEK ACTIVITIES WILL TAKE PLACE AS FOLLOWS:

DATE

PROGRAMME

TIME

VENUE

26 Nov

MEDIA LAUNCH

08h00

ILembe Chamber – Boardroom, Ballito

BUSINESS EMPOWERMENT WORKSHOP

09h00

Nkobongo Community Hall ( Ward 8)

BUSINESS EMPOWERMENT WORKSHOP

09h00

Thembeni Community Hall ( Ward 12)

BUSINESS EMPOWERMENT WORKSHOP

09h00

Zamani Community Hall ( Ward 2)

BUSINESS SEMINAR & EXHIBITION

09h00

Stanger High School - Sports field

27 Nov 28 Nov 29 Nov 30 Nov

For more information and RSVP, please contact Mduduzi Zulu on 032 437 5045 or email mduduziz@kwadukuza.gov.za

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

FREE ENTRANCE

KWADUKUZA Municipality


IKHASI 4

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

NOVEMBA 2018

Selungenelelwe umasipala wesiFunda olokushoda kwamanzi eNdwedwe

Intatheli Yephephandaba

UTHENJISWE uguquko olusheshayo lokuhlinzekwa ngamanzi umphakathi owakhele umasiapala waseNndwedwe emva kwesikhathi eside inkinga yokushoda kwamanzi inganakiwe.Lokhu kuvele ngesikhathi uMkhandlu wesiFunda iLembe okuyiwona ophakela amanzi eNdwedwe ubambe umhlangano eJohnny Makhathini ngaphansi kohlelo lweIDP ngenhloso yokuzocacisa ngokushoda kwamanzi kanye nezinhlelo ezikhona eziseqhulwini ezizolekelela ukuphakelwa kwamanzi kule ndawo.OnguMeya wesiFunda iLembe uCllr Sduduzo Khuzwayo uthe kuyamkhathaza ukubona ukuthi kubekhona osomathuba asebesbenzisa ipolitiki ngodaba lwamanzi eNdwendwe. ”Ngyavuma zikhona izinqinamba ngodaba lokusatshalaliswa kwamanzi eNdwedwe kodwa lokho akuchazi ukuthi ayikho imizamo esiyenzayo ngakho.Kumanje kunemithombo engabe isilekelela

kakhulu ngokusabalalisa amanzi kodwa ngenxa yokuthi ishile ayikwazi ukusisiza. Kumanje kawadi 4,6,7 kunomsebenzi oqhubekayo wokulungiswa kwezindawo ezineziphethu ukuze makwenzeka kufika izimvula zikwazi ukumumatha amanzi amaningi azosiza lo mphakathi.”Kuchaza uKhuzwayo. Ezindaweni ezinjengoNgcongangconga la kubikwa khona amapayipi afakwa ase enganakwa wumasipala aze aba nomokalo, umeya uthe sebenqume ukuthi iphrojekthi yamanzi yaseNsuze bayihlanganise neyaseNgcongangconga futhi asefakiwe amapayipi wachazela umphakathi waseNhlangakazi kawadi-9 ukuthi makuphela iprojekthi yakwaNondabula emva kwayo kobe sekulungiswa eyabo. UKhuzwayo ube esenxusa umphakathi ukuthi uphumele obala kukhona iziphethu ozaziyo ezingasiza ukusabalalisa amanzi wathembisa ukwandisa izimoto eziletha amanzi kulendawo.

Umeya wesiFunda ilembe ekhuluma emhlanganweni wamanzi endwedwe.

“IZINDABA ZIKAMSIPALA WASE MANDENI Mandeni Mayor: Cllr Siphesihle Zulu

Zizokwethulelwa umphakathi iziphumo zomhlangano wezinhlaka ezihlinzeka umphakathi eMandeni Intatheli Yephephandaba UMPHAKATHI owakhele umasipala waseMandeni uzothola ithuba lokwethulelwa iziphumo ngomhlangano obuphakathi kwezinhlaka ezihlinzeka ngogesi okuyinkampani u-Eskom,uMkhandlu wesiFunda iLembe Kanye noMnyango wezokuThutha.Kulo mhlangano obubanjwe ekuqaleni kwale nyanga ePrince’s Grant Golf Estate kudingidwe

ngodaba oluthinta ukuthuthukiswa kwengqalasizinda Kanye nokuThuthukiswa koMnotho. OyiMeya kulomasipala uCllr Siphesihle Zulu uthe uzwakalise ukubaluleka ukubamba imihlangano nezinkampani abasebenzisana nazo ukuletha izidingo emphakathini.”Kulo mhlangano sidingide kabanzi ngomhlahlandlela wokuThuthu-

kisa umasipala wethu njengoba umbono wonyaka ka-2030 kuwukuthi sifuna ukubona idolobha lethu liyisizinda sezomnotho.Ukuba nengqalasizinda esezingeni kudlala indima enkulu ekuthuthukiseni izimpilo zomphakathi esiwusebenzelayo. Siphinde sathola nethuba lokuveza ngezinhlelo esesizenzile ezifana nokufakwa kukagesi,ukwakhiwa kwemigwaqo Kanye

nokwakhiwa kwezindlu ngoxhaso lukaHulumeni.”Kuchaza uZulu. UZulu ube eseveza nokuthi bazohambela umphakathi maduze ukuyokwethulela konke okuxoxwe kulomhlangano ukuze nawo ukwazi ukuveza imibono yawo kanye nokuthi uzohlomula kanjani kwintuthuko elethwa umasipala.

Uzimisele ukulwisana nenkohlakalo oweTheku By: Nonhle Sosibo

Oyinhloko ophikweni iCity Intergrity and Investigations Unit uMnuz. Mbuso Ngcobo

SEKUXWAYISWE abaphenya ngenkonhlakalo ukuthi bahlezi beqaphile ngasosonke isikhathi uma beqhuba lomsebenzi ngoba lomsebenzi kuthiwa ubeka izimpilo zabantu encupheni. Lokhu kugqame ngesikhathi kuqhubeka ingqungquthela yokuqwashisa ngenkohlakalo kanye nokukhwabanisa ebibanjelwe eBurban Exhibition Centre mhla ziyi-14 Novemba kulonyaka. Oyinhloko ophikweni iCity Intergrity and Investigations Unit uMnuz. Mbuso Ngcobo uxwayise laba abaphenya inkohlakalo ukuthi kumele baqaphele uma benza umsebenzi wabo bangavu-

meli ukungenwa inkohlakalo ngoba kuyingozi. “njengomphenyi wenkohlakalo uma ungenzi kahle umsebezni wakho kungaholela ekutheni ushushiswe”. Kusho uNgcobo. Uphinde wabalula ukuthi ukwenza uphenyo kuholela ekutheni abantu nabasezikhundleni eziphezulu bamiswe noma baphelelwe umsebenzi. Ukhansela Thabani Luthuli othule inkulumo esikhundleni semeya uqale wemukela bonke abebehambele lo mcimbi. Uthe abantu akumele bazihlanganise

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

nenkohlakalo futhi akekho umuntu okumele akhokhe imali ukuze athole ithenda kuhulumeni noma kumasipala. “Isimo somnotho sinzima kuwo wonke umuntu, abantu babheka amathuba emsebenzi nosomabhizinisi futhi bayalingeka bakhokhe amantshontsho ukuze bathole imisebenzi yamathenda kanti lokho kuphambene nomthetho”. Kusho uLuthuli. Esephetha uthe umyalezo wabo ucacile ukuthi abahambisani nenkohlakalo wabe esenxusa abantu ukuthi babike inkohlakalo.


NOVEMBA 2018

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 5

Ward 47 uCllr Cedric “Tumani” Ntshangase

Bayibona ngamehlo intuthuko kawadi-47 KwaMashu Tebogo Sibisi

ebisisebenza ka-L ngingene ngo-2016 ngayifica isindala kakhulu lokho bese kuholela ekutheni kube nokuvuza kwamanzi emagcekeni abantu. Kube sekwenziwa uphenyo kwatholakala ukuthi ukuvuza kwalamanzi emizini yabantu kudalwa ingqalasizinda esidala okuthi uma ixhunywa nentsha bese kuyavuza. Kunesibalo samathoylethi angama-200 esizowakha esigcemeni sakwaM,F kanye no H. Yize lezigceme bezingekho kwibhajethi ebephasisiwe kodwa sibone kukuhle ukuthi kube nenxenye yalezigceme esizoyenza ikakhulukazi kuleyomizi enomonakalo omkhulu.” Kusho uNtshangase. UNtshangase uqhube wathi ukuthuthukiswa kwengqalasizinda yamathoylethi nompompi ngeke kugcine ka-L,M,F,H kodwa nakwaBester kuzoqalwa maduze emva kokuthi uMkhandlu uphasise ibhajethi yokwakhiwa kwamathoylethi Kungesikhathi kuqhubeka uhlelo lokubhidlizwa kwezindlu zangasese esezindala.

Izindlu zangasese esigcemeni sakwa-L ngaphansi kawadi 47 esezindala.

LUYAQHUBEKA uhlelo lokwakhiwa kwezindlu zangasese ngaphansi kawadi-47 kumasipala weTheku.Lolu hlelo luqale ngenyanga u-Okthoba ngenhloso yokuguqula isimo sokusebenza kwezindlu zangasese nompompi obekungasebenzi ngendlela ngenxa yengqalasizinda ebesindala. Isibalo sezindlu zangasese okumele zakhiwe ziyi-1200 kanti esezakhiwe zaqedwa zingama-96. Ukhansela wakule ndawo uCllr Cedric “Tumani” Ntshangase ekhuluma nephephandaba iSivubela Intuthuko uthe kulolu hlelo zine izigceme ezizohlomula kodwa esakwa-L isona esihlomule kakhulu ngenxa yokuthi umonakalo bese umkhulu.”Phambilini kwa-L bekunemindeni ebehlala ko4 room kube uA no B kwase kuyahlukaniswa abanye bayiswa eMount Royal. Ingqalasizinda yezindlu zangasese

Amathoylethi esikhashana asetshenziswayo uma kusakhiwa amasha.

kwinxenye ethinta wadi-47 no54.Elinye lamalungu omphakathi asehlomulile kuloluhlelo uZama Ntuli uzwakalise okukhulu ukubonga kukhansela ngokubakhela amathoylethi amasha.”Sibonga kakhulu kuKhansela wethu ngokusakhela amathoylethi amasha laykhaya bese kunzima ngisho ukulisebenzisa ngenxa yesimo salo ebesingesihle. Elasekhaya beselifuna ngisho ukuziwela kanti namapayipi athutha indle abesevuza lokho obekuholela ekutheni kuhlezi kumanzi phansi kube nodaka noma izulu linganethi.”Kuchaza uNtuli. Ilungu lekomidi lakulewadi uMnuz. Dumsani “Quee” Madonsela uthe ukusebenzisana phakathi kwekomidi neKhansela kubonakala kuthela izithelo ezinhle ngoba ziningi izinto esezenziwe ezithuthukisa impilo yomphakathi.” Sinomgwaqo uNyala Road osulungiswe kabusha wafakwa namaspeed humps.

Kumanje kunabantu abasha abahlomula ngamathuba emisebenzi okuklina ezikoleni,ukushanelwa kwemigwaqo ukuze iwadi izohlale ihlanzekile futhi ibukeka.Sinohlelo lokungena umuzi nomuzi sibheka amamitha amanzi nogesi ikakhulukazi kuleyomizi enenkinga yezikweletu ezinkulu.Sinezinhlelo zezemidlalo ezisiza kakhulu abantu abasha abathola nethuba lokuziveza kanye nokuzivocavoca.Kuneprojecti enkulu futhi ezobakhona ewadini yethu yokwakhiwa kabusha kwesikole iJ.G Zuma esikwaBester ngenxa yezikhalo ngendawo esikuyona eduze nehholo lakwaBester ukuthi incane uKhansela usesazisile ukuthi lesikole sizokwakhiwa kabusha eSokalisa kanti iprojecti izothatha isikhathi esingangezinyanga ezingama-35. Ngaleprojecti silindele umphakathi ukuthi uhlomule ngamathuba omsebenzi amaningi.” Kuchaza uMadonsela

Izindlu zangasese ezintsha eseziqediwe ukwakhiwa

Izokwakhelwa kabusha imindeni esahlala ngamibili KwaMashu

KUZOPHELA maduze ngemindeni ehlala ngamibili endlini eyodwa esigce-

meni sakwa-L elokishini laKwaMashu ngaphansi kawadi-47.Lokhu kuvezwe

uCllr wakule wadi uKhansela Cedric Tumani Ntshangase ngesikhathi enengxoxo ekhethekile nephephandaba iSivubela Intuthuko ngesonto eledlule. Kuzokhumbuleka ukuthi phambilini indawo yakwa-L yahlukaniswa eminye yathuthelwa eMount Royal ngenhloso yokunciphisa umthamo wabantu ababehlala kulesigceme nokwakugcina sekuholela ekutheni kube nokusetshenziswa kwezinsiza zikamasipala budlabha. Kumanje eminye yemizi isasele nezikweletu ezinkulu zamanzi nogesi okungazeki ukuthi ziyokhokheleka kanjani ngoba abanye zadaleka bengakahlukaniswa. UNtshangase uthe esibalweni semizi esiyi-160 sebekwazile ukunciphisa isibalo salemindeni saba yi-108 kuphela.” Kulemindeni esahlala ngokohlelo luka A no B sebey-

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

ihlonzile indawo ezokwazi ukwakha imizi engama-26 okuzobe sekuthuthwa olunye uhlangothi luhlaliswe khona.Kodwa asigcinile inkinga asinayo indawo eyanele yokwakha ngoba isifiso sethu ukuqeda ngayo lemindeni ehlala ngamabili endlini eyodwa ngoba lokho kudala ukungakhululeki nokuminyana egcekeni elilodwa. Siyazi akuyona into esingayenza isheshe iphele kodwa sinesiqisekiso sokuthi kuyogcina kuphelile ngaloluhlelo luka A no B.” Kuchaza uNtshangase. Ukhansela uqhube wathi basezinhlelweni zokubhidliza baqale kabusha eminye imizi engo 4 rumi ngokohlelo olwaziwa ngo R293 okuwuhlelo lukahulumeni lokubhidlizwa kwemizi esimdala iqalwe kabusha ikakhulukazi leyo engasekho esimeni esikahle.


IKHASI 6

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

NOVEMBA 2018

Kwethulwe amabhasi amasha ezokuvakasha eThekwini

Nonhle Sosibo

UMASIPALA wedolobha iTheku wethule ngokusemthethweni amabhasi amasha

kaRicksha amabili emcimbini obubanjelwe eSuncoast. Lamabhasi akhiwe ngohlo-

bo lwesimanje njengoba wona evulekile phezulu kanti azoshinstha lawa amadala akade esenesikhathi esebenza. Ngesikhathi kuqhubeka uhambo lozungeza idolobha abantu abebeyingxenye yalo mcimbi bathole ithuba lokugibela lamabhasi besuka eSuncoast Deck beya enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida, basuka eMoses Mabhida baya eCity Hall base besuka eCity Hall baya e- Ushaka Marine world. Imeya yeTheku uCllr Zandile Gumede ngesikhathi ethula inkulumo yakhe uthe ezokuvakasha zidlala indima enkulu ekukhuliseni umnotho kanti akumele zibukelwe phansi. ‘’Ezokuvakasha ziwumnikelo omkhulu emnothweni wedolobha. Njengomasipala sisebenza kanzima nangokuzikhandla

ukubheka inhlalakahle yezokuvakasha kwidolobha laseThekwini. Izivakashi uma zifikile kumele zibuyele emuva zinesithombe esihle ngedolobha lethu’’. Kusho uGumede. UNkosikazi Mandisa Khwela obengomunye wabantu akade beyingxenye yalo mcimbi uncome kakhulu umsebenzi walo masipala ngokuhlezi ubeka phambili ezekuvakasha waveza ukuthi unethemba lokuthi lamabhasi azoheha izivakashi eziningi. ‘’Ngiyakholelwa ukuthi ukwakhiwa kwalambhasi kuzoba nomthelela omuhle eThekwini ngoba ziningi izivakashi ezivashela iTheku ikakhulukazi njengoba sekusondele namaholidi kaKhisimuzi.”

Bazokhangisa ngemikhiqizo yabo osomabhinisi ePort Shepstone Skhumbuzo Nzuza

Esithombeni abafundi abahlomulile ohlelweni lokubayingxenye ye Boot Camp.

ETHEKWINI

HAS MORE FUN & SUN THIS FESTIVE SEASON Take a splash at the beautiful beach but remember to co-operate with our lifeguards. They are here for your safety and protection.

www.durban.gov.za

eThekwiniM

@eThekwiniM

NJENGOBA amazwe angama-80 umhlaba wonke jikelele egubha isonto lokuthuthukisa osomabhizinisi abasakhula elaziwa nge Global Entreprenuership Week ,Isikhungo semfundo ephakeme esicija amakhono endaweni yase Port Shepstone i-Esayidi TVET College ngokubambisana nesikhungo iSingatha kanye neNkampani Iyachichima Entreprise,bakhethe ukunikeza osomabhizinisi abangama-20 izinsuku ezinhlanu zokuthi bayozicija ngokucobelelana ngolwazi nongoti kwezamabhizinisi ngohlelo i-Esayidi Rapid Incubator Boot Camp eqale ngoMsombuluko mhlaka 12 izosongwa ngomhlaka 16 Novemba ngombukiso wosomabhizinisi ozoba sendaweni yase Gamalakhe e Port Sherpstone ngolwesihlanu obizwa ngokuthi i Loxion Biz ozobe uvulelekile naseMphakathini. Ekhuluma ngesikhathi kwethulwa ukuqala kwe Boot Camp oyibamba leMenenja kwisikhungo Esayidi Rapid Incubator Centre uNkk. Famida Moosa uthe sebenesikhathi baqala

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

ukugubha leliviki losomabhizinisi’. Saqala ukugubha leliviki lisagujwa amazwe angama-70,kulo nyaka sikhethe ukuqoka osomabhizinisi abasohlwini olungaphansi koqeqesho esibanikeze lona lwezinyanga ezingama-18 ,lapho siqikelela khona ukuthi sibanikeza uqeqesho oluzobasiza ukuthi bakwazi ukuzimela. Ukuze sikwazi ukukhetha senza inhlolokhono sibheke abakhombisa itshisekelo bese sibanikeza uqeqesho kulesikhungo ngokubambisana ne Singatha ngemva kwalezinyanga sibe sesibalekelela ukuthola imisebenzi nangolwazi lokuphatha izimali nokuthi singabasiza kanjani ukuthola uxhaso lwezimali’’kuchaza uMoosa. UNksz. Phumi Bohlela weNkampani Iyachichima Entreprise uthe kubalulekile ukuthi osomabhizinisi abasakhula bakubone kubalulekile ukukhangisa amabhizinisi ngoba ikhona okwenza umsebenzi wabo waziwe.’’ Okusemqoka ukuthi osomabhizinisi abangama-20 abazoya kwi Boot Camp sizobanikeza ithuba lokuyokhangisa kumbukiso wosomabhizinisi ozoba ngoLwesihlanu endaweni eselokishini laseGamalakhe esihlose ngawo ukuqinisekisa ukuthi osomabhizinisi basemakhaya nasemalokishini abasali ngaphandle ekuthuthukeni kwezemnotho.’’ kusho uBohlela.UNksz Sanelisiwe Sikobi oneNkampani yokwakha iSikobi Construction uthe bazozuza lukhulu ngale Boot Camp wabonga noqeqesho abalunikezwa ilesikhungo lwezinyanga ezingama-18 lokubacathulisa kwibhizinisi.


NOVEMBA 2018

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Ukuphepha emakhaya kuletha injabulo

IKHASI 7

SIVUBELA Intuthuko

ITHIMBA LEPHEPHA

Vusi Cebekhulu Sezisondele ukugujwa kwezinsuku eziyishumi nesithupha zomkhankaso wokulwisana nodlame olubhekiswe kwabesifazane kanye nezingane. Kuyadabukisa ke ukuthi unyaka nonyaka uhulumeni kanye nezinhlangano ezise mphakathini zibange umsindo olwisa ukufa kwabesifazane kanye nezingane kodwa kube kuqhubeka befa abantu besifazane nezingane bebulawa yithina madoda. Loku kukhomba ngokusobala ukuthi lemikhankaso idinga ukuba ihambe ngolunye unyawo ukuze kuphele lobu bulwane esibubona benzeka nsuku zonke. Lapha endaweni yase Vlakfontein eGauteng, kusanda kutholakala abesi-

fazane abathathu kanye nezingane ezine zigqitshwe endlini. Umbuzo uthi uma ngempela kukuthi bonile laba besifazane kanye nezingane kungani bebulawa ngesihluku esingaka? Ingabe kuphele ubuntu kithi madoda? Kanti sishonephi isisho esithi thina madoda singabavikeli? Ngiyazi lemibuzo ayinazo izimpendulo, kodwa kubalulekile ukuthi thina madoda sizibuze ngoba phela labantu abafayo bawumfanekiso kaNkulunkulu, banga bantu nabo banegazi futhi nabo bayathandwa yilabo abasondelene nabo. Ngimema amadoda aqotho ukungagcini nje ngokubamba iqhaza kulo mkhankaso walo nyaka, kodwa siqonde ngqo lawom-

adoda esiwaziyo ukuthi ahlukumeza abesifazane kanye nezingane. Isikhathi sifikile ukuthi sihlome izikhali zokuthula siwaqonde ukuthi lezi zigameko azisizi umphakathi wethu. Ukusonga izandla kwakho ndoda ungenzi lutho ngalezigigaba zokufa kwabesifazane akusizi lutho ngoba ukungaphephi komfazi nezingane zikamakhelwane, akwenzi ukuba owakho umfazi noma umuphi omunye wesifazane osondelene nawe ukuba baphephe. Ngakho ukuphepha emakhaya kuletha injabulo emphakathini yethu. Asisukume madoda nezinsizwa sithathe izikhali zokuthula sizwakalise ilaka lwethu ekufeni kwabesifazane kanye nezingane.

Intsha izohlumula kweya Gesi

Makhosi Mngoma

UMEYA WASE MHLATHUZE uKhansela Mdu Mhlongo ephendula isoyi lokwakhiwa kwesikhungo se gas eMhlathuze KUGOBHOZE izinyembesi zenjabulo ngesikhathi IMeya yase Mhlathuze iphendula isoyi ka 1 Billion kwa Transnet lapho okulindeleke khona ukuthi le projethi ivule amathuba omsebenzi kulo mkhandlu. Imeya uMhlongo ithi abantu bendawo angeke basalubhada emadolobheni emakhulu beyofuna umsebenzi kodwa sebezosebenzela eduze kwasemakha-

ya. UMhlongo ube usenxusa umphakathi ukuthi uthumele izingane ukuthi ziyothola uqeqesho ukuze zikwaz ukusebenzela khona kulendawo kungabi ezingane ezizovala isikhala zangaphandle. “Nginxusa nonke ukuthi nikhuthaze izingane zenu ukuthi ziqhubeke zifunde futhi zifundele lamakhona azodingeka njengoba kutshwale isamba esingaka ikakhulu ziyothola ukuqeqeshwa kugesi Kanye namanye amakhono abalulekile atholakala kumakolishi. “ Ngingajabula uma kuwukuthi intsha eningi ezoqashwa kulezindawo kube yilena eqeqeshelwe lamakhona okungeyakhele umkhandlu wethu ngoba lokho kuyoba kutshengisa ukuthi siyasasebenza,”kusho uMhlongo. UNksz Thandazile Sibiya (50) uthe uswele amazwi okubonga njengoba intsha eningi yasemakhaya izibona ishaywa ngesithende uma kuziwa odaben lwentuthuko. “Sifisa ukubonga UMkhandlu wethu Kanye nabatshali bezimali ababone isidingo sokuthi nathi siwumkhandlu wase mhlathuze sikwazi ukuthuthukiswa. “Inkinga isele nathi ukuthi

emakhaya sikhuthaze abantwana bethu ukuthi bafundele lamakhono adingeke kulezi mboni khona kuzoba lula ngazo ukuthi ziqasheke ,”UNksz Sibiya. USakhile Ndlovu obehambele lomcimbi uthe konke sekulele kubona njenge ntsha ukuthi bayafuna yini ukuzuza kulemboni. “Okwethu ukuthi sizihluphe ngamakhono adingekayo bese siba yilabo abakulungele ukuqashwa emva kwalokho sikwazi nathi ukuthuthukisa imiphakathi yethu. “Siyabonga kakhulu kuMkhandlu wethu ngokuthi usilethele intuthuko enjengalena lohku kukodwa kuyinkomba zokuthi lomkhandlu uyasinakekela,”Kubeka uSakhile.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

>> UMHLELI MAKHOSI MNGOMA makhosi@sivubelaintuthuko.co.za 083 618 4252

>> IPHINI LOMHLELI TEBOGO SIBISI tebogo@sivubelaintuthuko.co.za 079 245 8462

>> INTATHELI YEZEMIDLALO THABANI MAPHUMULO trmaphumulo@gmail.com 081 794 8407

>> GRAPHIC DESIGNER AND LAYOUT LINDA MAZIBUKO trusouth1@gmail.com 079 535 0581 IWEBSITE YETHU www.sivubelaintuthuko.co.za FACEBOOK sivubela intuthuko TWITTER @sivubela intuthuko INSTAGRAM sivubelaintuthuko IKHELI LETHU B 33 Ten Acre Thembeni Groutville P.O Box 4473, Stanger 4450 Gordon No.2 Road Morningside, Durban 4000 UMA UFUNA UKUKHANGISA KULELIPHEPHANDABA ,SHAYELA 031 822 2602/083 618 4252


NOVEMBA 2018

IKHASI 8

Sivubela Intuthuko

EZEMIDLALO

Ihlelelwe imidlalo eyahlukene intsha yasoLundi

Nonhle Sosibo

Isithombe sithunyelwe:Umsunguli weMakubenjalo Community Project ophakathi, uphahlwe uNonkonzo Mthethwa okwesokunxele bese kuba uVamisile Ngwenya kanye noFanele Zungu

INHLANGANO engenzi nzuzo I Makubenjalo Community Project, Olundi, eMadaka izoba nendumezulu yemidlalo ehlelelwe intsha ehlala ezindaweni ezahlukene mhlaka 16 no 17 ku Disemba. Le midlalo inhloso yayo ukuthi kudaleke ubumbano nokuzwana entsheni njengoba kade ihlukene maphakathi nonyaka iyofunda enye isebenza. I Makubenjalo Community Project iqale ukusebenzela umphakathi ngo 2011 ukuze ibe nemidlalo yokucija amakhono kanye nokuqinisekisa ukuthi bayaziqhelelanisa nezidakamizwa emphakathini kuliwe nezifo ezithathelanayo. Ayigcini lapho kepha kunezikole ehambe yayozicelela ukuba ziphiwe ukudla njalo ekuseni okungahlangene nalokhu kukahulumeni. Isikole esihlomulayo kulolu hlelo iMadaka Primary School osekuphele iminyaka loluhlelo lwakwa Lunchbox luqhubeka kunezinhlelo eziqhubekayo zokuthi kwandiswe ezinye izikole. Umsunguli wale nhlangano I Makubenjalo Community Project uMnuz. uCebo Buthelezi(25) ozakhele igama ngokuba semkhakheni wabezindaba uthe waqala ukwenza le midlalo ngo 2011 esebenzisa imali yakhe

ayesuke enikezwe yona ukuthi athenge izidingo zakhe nokwesikole. “Ngila ngikhona njengamanje kungenxa yothando enginalo nabantu abasha bangakithi. Indawo yangasekhaya isemakhaya futhi ezinye zezinto sikhule singazazi sizizwa ngendaba. Kube yinto ebalulekile kimi ukuthi ngenzele intsha yangakithi lento mina engingayenzelwanga ngisakhula ukuze nami ngelinye ilanga kube nomuntu oyothi ngila ngikhona kungenxa ka Cebo Buthelezi.”kusho uButhelezi. Echaza kabanzi ngale midlalo uthe kuzobe kungokokuqala ngqa ukuthi kube ngomgijimo ka 5KM ozosuka eMayiwane uyophethela eFelifa High School lapho eqede khona umatikuletsheni ngo 2010. Kuzoba nemidlalo yebhola lezinyawo kanye nelomnqakiswano. “Ngibonga kakhulu abantu abafake isandla ukuze lemidlalo izoba yimpumelelo. Kuzoba nendathane yemiklomelo, umculo nokuya ngasethunjini. Abaxhasi uMnyango WezeNhlalakahle eMahlabathini, uMnyango wezemidlalo kusifundazwe, uBTI wamabhasi, I-EishSan Clothing, The Lunchbox, uMasipala wasoLundi nabanye.’”

Kunconywe eyezemidlalo yabaphila nokukhubazeka

Nonhle Sosibo

UNGQONGQOSHE wezoBuciko, namaSiko, ezeMidlalo kanye nokuNgcebeleka uBongi-Sithole Moloi uncome umkhakha wezemidlalo wabaphila nokukhubazeka ngokuzinikela kwabo ukuzenzela izinto kunokuthembela kuHulumeni kanye nakwabanye abantu. USithole-Moloi ubekhuluma kade kuphethwa imidlalo yabaphila nokukhubazeka esifundazweni saKwaZulu-Natali esikoleni samabanga aphakeme eStanger KwaDukuza ngaphansi kamasipala wesiFundeni iLembe, eNyakatho nesifundazwe ngoMgqibelo mhlaka 10 kuNovemba 2018. Le midlalo ibihlanganise abadlali abaphila nokukhubazeka kwiziFundazwe eziyishumi nanye ekade ziqhudelana kwimidlalo ehlukene. I-eThekwini Metro iyona ephume phambili yalandelwa Amajuba. UMgungundlovu wathatha indawo yesithathu, iLembe lathatha indawo yesine bese iZululand yathatha indawo yesihlanu. Amaqembu ancintisane

kumakhodi ahlukene ukugijima(100m, 200m, umjaho wezihlalo ezinamasondo), ibhola lomnqakiswano labahamba ngezihlalo ezinamasondo,ichess, ibhola lezinyawo, umlabalaba, ibhola lomnqakiswano kanye nethenisi edlalelwa etafuleni. UNgqongqoshe uSithole-Moloi uthe lemidlalo yenziwa ngesikhathi iNingizimu Afrika ikhumbula inyanga yokwazisa amalungelo abantu abaphila nokukhubazeka kusukela ngomhlaka 3 Novemba kuya kumhlaka 3 kuDisemba. Imidlalo yabaphila nokukhubazeka esifundazweni iyingxenye yemizamo yoMnyango ukukhuthaza indlela yokuphila kwabantu abanokukhubazeka ukuthi babe yingxenye yezemidlalo kanye nemisebenzi yokuzilibazisa. Imeya yakwiLembe uKhansela Siduduzo Gumede ubonge umsebenzi omuhle owenziwa nguHulumeni waseNingizumu Afrika wabonga nangokusingatha umsebenzi ofana nalona.

iqembu leLembe labagijima ngezihlalo ezinamasondo kanye nabaqeqeshi

Umkhucululi Products UMKHUCULULI & FREE DETOX . UMKHUCULULI LOTION . IMANZI NEGCOKAMA LIFE JUICE . SUKUMA . UBHAQA (ISIWASHO) 320 west street, 22nd floor, Room 22H, T/Dr S. Tembe, 031-828 0433, 082-597 6669

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

A LS O E I N ABL AVAIL OST M ACIES M R A PH


Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.