SIVUBELA INTUTHUKO

Page 1

SIVUBELA Intuthuko

ADVERTISING: (031) 8222 602

FACEBOOK: SIVUBELA INTUTHUKO

JULAYI / AGASTI 2018

SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

ICON’S

L

NelEsGoECY LIVES ON n Ma ndela

LIMAHHALA USHICILELO 20

Ukhuza umbango wokwakhiwa kwezindlu uMeya

Umdlali uncoma umqhudelwano wezikole >> ikhasi: 8

Siyixoxa ngezithombe eyombungazo weMandela Day

>> IKHASI: 2

Bagqokise abafundi abamatekisi eMolweni

>> IKHASI: 7

Iqembu le-KZN Academy elilibhekise ezweni lasePortugal ukuyocobelelwa ngolwazi kulomdlalo

>> IKHASI: 8

Indaba kwikhasi-3 >>>

UMeya woMkhandlu waKwaDukuza uCllr Ricardo Mthembu.


JULAYI / AGASTI 2018

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Ungqongqoshe wezeMfundo esifundazweni saKwaZulu-Natali uMnuz. Mthandeni Dlungwane oyiChampion yomasipala abangaphansi kwesifunda iLembe ehambele izindawo ezahlukene kubungazwa iMandela Day beka wadi 7

IKHASI 2

Umeya waseMhlathuze uCllr Mduduzi Mhlongo bevula umuzi abawakhele uNkk. Nelisiwe Khoza (65) elokishishini laseDlangezwa

Siyixoxa ngezithombe eyombungazo weMandela Day

“kufanele sisebenzise lesi skhathi ngobuhlakani futhi sazi ukuthi sesifikile isikhathi sokwenza izinto ezifanele” Nelson Mandela

Umeya kumasipala wesiFunda iLembe uCllr Sduduzo Khuzwayo benikela ngezitshalo emndenini emithathu emcimbini obuhlelwe i-Enterprise iLembe obubanjelwe eNdwedwe.

Usomlomo kumasipala waseMandeni uCllr Makhosazane Zungu ekanye noMEC wezemfundo kaWadi 9.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


JULAYI / AGASTI 2018

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 3

Isuka kwikhasi-1 >>>

Ukhuza umbango wokwakhiwa kwezindlu uMeya Lindo Gumede IMEYA yomkhandlu waKwaDukuza uCllr Ricardo Mthembu unxuse amalungu omphakathi endaweni yaseNyoniyamanzi ku-Ward 13 ngaphansi kaMasipala wakhe ukuba wamukele abasebenzi abazosebenza kwi-Projecti yokwakhiwa kwezindlu zesibonelelo sikahulumeni i-Steve Biko Phase 2 Housing Project kuleya ndawo. Lokhu kuza ngemva kokuba amalungu omphakathi ku-Ward 13 eshaye phansi ngonyawo athi akadingi muntu ozosebenza endaweni yabo oqhamuka ku-Ward 16 kanye naku-Ward 26, nabathe bafuna kusebenze kuphela abantu abahlala eNyoniyamanzi. UMeya uMthembu uthe i-Steve Biko Housing Project ihlanganisa amawadi amathathu, u-Ward 13, Ward 16 kanye no-Ward 26 ngakho kumele bonke abantu abahlala kulamawadi bahlomule kwintuthuko yomphakathi. “Kunabantu ebebehlala u-Ward 13 manje esebehlala ku-Ward 16 naku-Ward 26 ngenxa yokukanywa kwemincele kwakamunva phecelezi i-demarcation manje okuyiphutha ukuthi bakhishwe inyumbazane ngoba bayingxenye ye-Project okumele nabo bahlomule ngemisebenzi ukuze baxoshe ikati eziko emakhaya abo,”kuchaza uMeya uMthembu. Kusenjalo uMvelase unxuse amakhansela kanye namalungu ekomidi lentuthuko

kuma-Ward athintekayo ukuba axhumane namalungu omphakathi abhunge ngalenselelo ukuze bakhe ubudlelwano ubuhle ngenhloso yokunqanda ukubambezeleka kwentuthuko yomphakathi ngento encane okumele icaciswe emphakathini. Ngokunjalo ikhansela kumkhandlu waKwaDukuza uMnuz Themba Dube ugcizelele ukuthi zizokwakhiwa izindlu eNyoniyamanzi futhi bonke abantu okumele bahlomule nakanjani bazohlomula kwi-Project, nokho lo ka-Dube ukhale ngokwanda kwezindlu zemijondolo esezakhiwe ngokungekho emthethweni kuleya ndawo ngabantu abahlose ukuzuza uma sekwakhiwa izindlu zesibonelelo sikahulumeni. Khonamanjalo iMeya yomkhandu waKwaDukuza uMnuz Mthembu ubalule ukuthi umkhandlu ubhekene nengwadla yokuthola indawo ukuze kwakhiwe inkulisa ku-Ward 16, nathe uma umkhandlu usuyitholile indawo kuzoqalwa ngokusheC E L E B R AT I N G sha ukwakhiwa kwenkulisa elindelwe umphakathi.

Umeya woMkhandlu waKwaDukuza uCllr Ricardo Mthembu.

20 MORE YEARS

UMBUKISO

WAMABHIZINISI 27-29 JULAYI KWAMNYANDU SHOPPING CENTRE UMasipala weTheku, umema bonke osomabhizinisi, iminyango kahulumeni, izinhlaka ezisebenzelana nohulumeni kanye nazo zonke izakhamizi zeTheku namaphethelo, ukuba zibe yingxenye yombukiso wamabhizinisi ozobe ukwaMnyandu Shopping Centre. Lombukiso wezamabhizinisi uyinkundla yokuthuthukisa amabhizinisi, uphinde unikezele ngolwazi nangamathuba okukhangisa ngamabhizinisi nemikhiqizo eyahlukahlukene. Kulombukiso osomabhizinisi bazozuza amakhono afanele okuqala amabhizinisi nokuthi anakekelwa kanjani. NGOLWAZI OLUPHELELE SHAYELA U-FEZILE NZUZA KU: TEL: 031 311 4500 | EMAIL: fezile.nzuza@durban.gov.za

www.dbnbusinessfair

@DbnBusinessFair

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

CLLR ZANDILE GUMEDE

IMEYA YETHEKU

OKUZOKWENZEKA 1 UMBUKISO WAMABHIZINISI 2 BUSINESS INDABA 3 ULWAZI NGAMABHIZINISI 4 UMBUKISO WENGQEPHU 5 UMBUKISO WOKUDLA 6 EZEMFASHINI 7 EZAMAFILIMU 8 UMNCINTISWANO WE-LION’S DEN AMAFOMU OKUBHALISA ASEYATHOLAKALA

DbnBusinessFair

UMA PHUTH ISE UBHAL AYI S A H UNGAK NI U 29 JU


JULAYI / AGASTI 2018

IKOLUMN YOMHELI

Isho ukuthini inyanga yabesifazane Izwe iSouth Africa ligubha inyanga ka August njenge yabesifazane ukuhlonipha abantu besifazane abangaphezu kwabangu 20 000 abamashela ezindlini zombuso ngonyaka ka 1956 mhlaka 9 August belwa nokubukelwa phansi abesifazane. “Abantu besifazane kumele bazizwe bekhululekile, abesilisa kumele baqinisekise ukuthi basebenzisana kanye nabo baphinde badlale indima ngokubavikela. Kuyagqugquzela ukubona amanye amadoda ekuthathela phezulu ukuhlukunyezwa kwabesifazane elwa nako.

“Lamadoda aqale imikhankaso ethi abesilisa bakhathele ukuthula ekubeni abesifazane besahlukumezeka bephila ngokusaba bephathwa kabi ilabo ababathandayo, abangani, omakhelwane kanye nezihlobo. Lokhu kuwubufakazi bokuthi basekhona abesilisa abalungile,” Sisakhona isidingo sokuthi amanye amadoda azibophezele ekulweni nokuhlukunyezwa kwabesifazane. Sibonge kakhulu kwizinhlangano ezizibophezelayo ekulweni nokuhlunyezwa kwabesifazane nezingane.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 4

Uzohlomula ngamanzi umphakathi eBuhlebezwe

Thabani Maphumulo

UNGQONGQOSHE wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu esifundazweni saKwaZulu-Natali uNomusa Dube-Ncube umemezele izindaba ezinhle kubantu abakhele umasipala uBuhlebezwe njengoba kulindeleke ukuthi basebenze ompompi bamanzi ngokuphela kwenyanga uNtulikazi. Phakathi kwezindawo ezizohlomula zihlanganisa kwaNokweja kanye naseMazabekweni kuwo lo masipala ongaphansi kwesifunda iHarry Gwala. “Lezi yizindaba ezinhle futhi sijabule kakhulu ukuthi umphakathi usuzohlomula ngamanzi ngomsebenzi esiwenzile. Lokhu kuza emva kokuba sibathembisile ukuthi sizozibheka

izikhalo zabo abasilethela zona. Njengoba sikhuluma nje kusele umsebenzi omncane ukuba kuphothulwe lolu hlelo lwamanzi. Uhlelo lwamanzi kule ndawo belubuye luphazanyiswe nakuwuxhunywa kwamanzi ngokungekho emthethweni,” kusho Dube-Ncube. Lolu hlelo luzohlomulisa amakhaya alinganiselwa kwizinkulungwane eziyizi-3 000 ngamanzi ahlanzekile. Kanti lolu hlelo luzodla imali elinganiselwa kwizigidi ezilinganiselwa ku-R40 million. UNgqongqoshe uDube-Ncube uphinde wadalula izindaba ezihle kwintsha njengoba kuzokwakhiwa indawo yokuzivocavoca kulendawo.

“ Sinentsha eningi engaqashiwe kulendawo kanti azikho nezinsiza ezikhona zokusiza intsha ukuba izigcine imatasa, nokuzoyisiza ukuthi igweme izidakamizwa. Lokhu kuzophinde kusize intsha ngokwezempilo njengoba umzimba wayo uzohlala.usesimeni esikahle. Asizogcina lapho njengoba sizophinde siyihlinzeke ngemiyezana yokudlala yemidlalo enhlobonhlobo,” kuphetha Dube-Ncube. UNgqongqoshe unxuse umphakathi. ukuthi ugweme udlame emphakathini uma bebhikisha nokuholela ekutheni kungenzeki lutho emphakathini.

Iza nentuthuko inxanxathela yezitolo

Lindo Gumede

Oyilungu lesigungu esiphezulu aphinde abe ushlalo wekomidi lengqalasizinda kumasipala waKwaDukuza. uCllr Thulani Ntuli

SELIDUMELA emansumpeni mayelana nokuvulwa ngokusemthethweni kwenxanxathella yezitolo iKwaDukuza Shopping Mall ehambisana nokuthuthukiswa

kwengqalasinda okubalwa imigwaqo ngasenkabeni yedolobha KwaDukuza. Ecacisa ngebanga eselihanjiwe ngokwakhiwa kwenxanxathela yezitolo usihlalo wekomidi elibhekele ingqalasizinda ngaphansi komkhandlu waKwaDukuza uMnuz Thulani Ntuli emhlanganweni wamakhansela obubanjelwe emahhovisi omkhandlu ngeviki elidlule, udalule ukuthi kunezitolo ezingu-69 okubalwa nezitolo ezinkulu okuhlanganisa no-Pick n Pay ezizoba kwinxanxathela yezitolo. “Inqwaba yabantu abasha bazothola amathuba emisebenzi kwazise izitolo ezizosebenza KwaDukuza Shopping Mall zizoqasha intsha ehlala emphakathini owakhele izindawo zaKwaDukuza, ngokunjalo ukulungiswa kwemigwaqo esondelene nenxanxathela yezitolo kuzophinde kuhlomule abantu abaswele imisebenzi abazoqashwa osonkontileka abazothola ithenda,”kusho uNtuli. Usihlalo wekomidi lengqalasizinda kuMasipala waKwaDukuza uMphemba

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

udalule ukuthi izitolo KwaDukuza Mall kulindeleke ukuba zivulwe ngokusemthethweni ngenyanga kaMandulo, bese wonke umsebenzi wentuthuko osuphelele maqondana nenxanxathela yezitolo uthulwe ngokusemthethweni ngenyanga ka-April ngonyaka ozayo. Kusenjalo uNtuli unxuse amakhansela omkhandlu wakhe, abasebenzi bomkhandlu kanye namalungu omphakathi owakhele umkhandlu waKwaDukuza ukuba basebenzise isikhathi abasitholayo ukwenza umehluko kubantu abadingayo emphakathini ngalenyanga kaMadiba ukuhlonipha igalelo eladlalwa yilowo owabe engumengameli wokuqala eNingizimu Africa ngaphansi kombuso wentando yabantu uDkt Nelson Rolihlahla Mandela ngaphansi komkhankaso iThuma Mina, njengoba kugujwa inyanga yokuzalwa kaMadiba okuhambisana nokugubha iminyaka eyikhulu okungabe uyayihlanganisa uMadiba ukube usadla anhlamvana.


JULAYI / AGASTI 2018

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Bahlomule ngezinsisa abasafufusa eMandeni

Iziphathimandla zomkhandlu wase Mandeni

Siboniso Shiba

UMEYA woMkhandlu waseMandeni, ogwini olusenyakatho yesifundazwe saKwaZulu-Natali, uCllr Sphesihle Zulu ukhuthaze osomabhizinisi abasebancane ukuba basebenzise ngendlela efanele izinsiza ezitholakala ngosizo luka Hulumeni ukuze bazithuthukise. UCllr uZulu ubekhuluma nosomabhizinisi bendawo namalungu omphakathi kulandela ukuthi lo Mkhandlu ngokubambisana nohlaka lukaHulumeni olubhekele amabhizinisi amamncane uSeda banikele ngezinsizakusebenza ezindle imali elinganisela ku-R161 682.00 ezedluliselwe kosomabhizinisi abancane bendawo abangama-22 ngesikhathi loMkhandlu ubungaza inyanga yokuzalwa kwalowo owayenguMengameli wakuleli uDkt Nelson Mandela ekuqaleni kwenyanga kaNtulikazi. Kulo mcimbi osomabhizinisi abancane bahlomule ngolwazi lwezamabhizinisi olutholakala eminyangweni ehlukahlukene kaHulumeni. Ekhuluma kulo mcimbi uMeya unxuse izihambeli ukuba ziziphathise okwezikhali zamaNtungwa izinsizakusebenza njengoba ethe inhloso enkulu kaHulumeni yokuziletha ukusiza amalungu omphakathi ukuze bezokwazi ukuzimela baphinde bathuthukise amabhizinisi abo njengoba besezindaweni ezisemakhaya. ‘’SinguMasipala waseMandeni sizibophezele ukusiza imiphakathi yethu ukuba izithuthukise kwezamabhizinisi. Yingakho kubalulekile ukuba siwuhlomise ngolwazi kanye nezinsizakusebenza ezidingakalayo. Siyaninxusa ukuba niwasebenzise ngendlela efanele amathuba esininika wona singuHulumeni wendawo,’’ kusho uZulu. Lo Mkhandlu uphinde wapha amalungu omphakathi izipho ezahlukahlukene ezifaka phakathi amabhala, izihlalo zabakhubazekile, amaketela nokunye okuningi. Lo mcimbi ubuhanjelwe ubuholi boMkhandlu weLembe nezinye izinhlaka zikaHulumeni.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 5


JULAYI / AGASTI 2018

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 6

Kubongwe ezimele kwakhiwa izinkulisa KwaMaphumulo Lindo Gumede

Umeya waKwaMaphumulo uCllr Zibuyile Khuzwayo-Dlamini emi nabafake isandla kwakhiwa izinkulisa benhlangano iDivine Life Society

KUQHILIKA izihlathi kumalungu omphakathi kulandela ukwethulwa kwe-project yokwakhiwa kwezinkulisa ezimbili ezisezingeni eliphakeme ezizophinde zidale amathuba emisebenzi esikhashana, kubantu abaswele imisebenzi baxoshe ikati eziko emakhaya endaweni yaseTsheni kanye nakwaHlangabeza ngaphansi komkhandlu wakwaMaphumulo. Imeya yomkhandlu wakwaMaphumulo uNkk Zibuyile Khuzwayo-Dlamini ubonge inhlangano engekho ngaphansi kahulumeni i-Devine Life Society ngokunikeza ithuba eliyingqayizivele lemfundo engcono abantwana abancane kumphakathi wakuleya ndawo ku-Ward 1 naku-Ward 2 ngaphansi komkhandlu wakhe. Lokhu kuza ngemva kokuba lenhlangano ifake isandla ukuze kwakhiwe izinkulisa ezimbili ezizodla isamba semali eshisiwe engu- R 495 000 inkulisa ngayinye ezindaweni ezisemakhaya. “Ngibonga ngiyanconcoza kwi-Devine Life Society ngokukhetha umphakathi wakwaMaphumulo mayelana nokunikeza abantwana isipho esizoba yisinkwa kwikusasa labo. Singumkhandlu wakwaMaphumulo sikushayela ihlombe ukwakhiwa kwezinkulisa kwazise siyibeke

eqhulwini imfundo ngenxa yokukholelwa ukuthi ikusasa lendawo yakwaMaphumulo lincike entsheni, okudingeka ukuba ifunde ukuze izithuthukise bese iba yisibani esizoqhakaza emiphakathini owakhele umkhandlu wethu” kuchaza uMeya Khuzwayo-Dlamini. Kusenjalo uMeya unxuse amalungu omphakathi ukuba aphathe okwezikhali zamaNtungwa izinkulisa ezizokwakhiwa emiphakathini. “Sinxusa umphakathi ukuba uqaphe ngeso lokhozi izinkulisa, ukuze zingadicilelwa phansi. Kusemqoka ukuthi abantwana bathole ukucijwa ezinkulisa eziseqophelweni elicokeme ukuze bathole imfundo esezingeni elifanele yize besezindaweni zasemakhaya, izinkulisa zibalulekile ziyisisekelo mayelana nokwakha umntwana alungele ukufunda,”kunaba uSibalikhulu. Imeya iqhube yathi umkhandlu wakwaMaphumulo uzoqhubeka nokubeka phambili imfundo ezindaweni ezakhele uMasipala wakhe, nobe esehlaba ikhwelo kubafundi ezikoleni ezizinze kwaMaphumulo ukuba ukuba bazimisele babhukule ezifundweni ukuze baphumelele ekupheleni konyaka.

vo esiyenzile ngokubambisana nomasipala ebesihlose ngayoukuhlunga abaculi bendawo abazokwazi ukushiyelana inkundla nalezingqungqulu ukuze nabo bezokhula endimeni

yezomculo.”Kuchaza uMiya Amathikithi alomcimbi aseqalile ukutholakala eComputicket kusukela kuR400,Golden Circle R500, VIP R1 700

Uzohlomulisa osomabhizinisi oweJazz eMhlathuze

Tebogo Sibisi

Kwesokunxele Obambe njengoMphathi-steshi kuKhozi Fm uSbonginhlanhla Ngcobo abangabaxhasi bomcimbi,uSomlomo kumasipala waseMhlathuze uCllr Slungile Mkhize,usekelaMeya uCllr Dudu Sibiya kanye noMnuz.Snethemba Miya wenkampani iYonke Imizamo kade kwethulwa ngokusemthethweni uKhozi Fm Soul & Jazz Festival. KULINDELE ukuthi uhlomulise osomabhizinsi abasafufusa umcimbi omkhulukazi weSoul Jazz nobizwa nge- uKhozi Soul & Jazz Festival ozoba ngaphansi kamasipala iCity of uMhlalthuze mhla zinga-28-29 Julayi. Lomcimbi okungokokuqala usingathwa kulo masipala osuzoba minyaka yonke uzobe ulethe izingqungqulu zabaculi abadume umhlaba wonke uChris Walker kanye Regina Belle osanda kuthola indondo kumaGrammy Awards kanti bazoshiyelana inkundla nabaculi beJazz bakuleli uSjava,Zonke Dikana,Zama Jobe,Brenda Mntambo,Brian Thusi kanye nabanye bendawo.Ekhuluma nabazindaba usekelaMeya uCllr Dudu Sibiya uthe ukuza kwala baculi baphesheya bahlose ngakho ukuheha izivakashi ukuze zizochitha isikhathi kuleli dolobha lokho okuzoletha umehluko kumnotho wedolobha.”Lo mcimbi uzophinde uhlomulise kakhulu osomabhizinisi ikakhulu labo abanezimvumo zokuhweba emigwaqeni.Ukwanda kwemicimbi emikhulu efana neLast Dance eba njalo ekupheleni konyaka nanjengoba sekuza oweJazz owenzelwa

kwidolobha lethu kwenza omkhulu umehluko kwezomnotho,ngoba lokhu kwandisa nesibalo sabantu abasebenzisa izindawo zokulala (B&) konke lokho kuyawenza umehluko ekukhuleni komnotho. Asifakanga kuphela abaculi asebemnkantshubomvu kwezomculo weJazz kodwa mhla ziyi-15 Julayi umasipala waba nenhlolovo yabaculi bendawo abazokwazi ukushiyelana inkundla nalesingqngqulu ukuze nabo bezokwazi ukukhula kwezomculo”kusho uCllr Sibiya. Abaxhasi balo mcimbi benkampani i-Yonke Imizamo Production bazwakalise okukhulu ukuzethemba ngokuba inxenye yalo mcimbi kulandela ukuthi bekwazile ukusingatha ngempulelo uKhozi FM Newcatle International Jazz Festival.Owalenkampani uMnuz. Snethemba Miya uveze ukuthi iphupho labo ukusingatha imicimbi yaminyaka yonke esezingeni eliphezulu ebeka kwibalazwe idolobha laseRichard’s Bay nesifundazwe saKwaZulu-Natali futhi ikwazi ukuheha izivakashi ezivela kwamanye amazwe.Ukwethulwa ngokusemthethweni kwalo mcimbi kulandelwe uhlelo lwennhlolo-

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


JULAYI / AGASTI 2018

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Inkampani yezokuxhumana yakwa-Vodacom nomkhankaso ezikoleni Thabani Maphumulo

IKHASI 7

SIVUBELA Intuthuko

ITHIMBA LEPHEPHA

>> UMHLELI MAKHOSI MNGOMA makhosi@sivubelaintuthuko.co.za 083 618 4252

INKAMPANI yezokuxhumana esifundazweni sakwaZulu-Natali isizosebenzisana nezikole ezilinganiselwa kumashumi amathathu nesikhombisa eziqhamuka kwizifunda ezihlanganisa uMlazi, Wentworth, Phoenix kanye neChatsworth ohlelweni lokufunda ngesikhathi samaholidi asebusika. Lolu hlelo beluqhubeka ekomkhulu lale nkampani eMhlanga, eThekwini lapho kufundiswa khona abafundi besifazane ngezifundo ezithinta ezobuchwepheshe, ezobunjiniyela kanye nezibalo. Abasifazane babukeka besayindlala kule mikhakha emazweni amaningi ahlukene. Lokhu kufakazelwa nayinhlangano.i-United Nations Educations,

Scientific and Cultural Organisation (UNESCO). Izibalo ziveza ukuthi ngonyaka ka-2014 balinganiselwa ku -22% abagogodile emikhakheni wezeSayensi, kanye nezibalo ezweni laseNgilandi. Kanti lezi zibalo kubuke zihlukile kunezinye njengoba eGermany kungu-19,3%, eFrance 21,5 % kanti eSwirtzerland 14,7%. Lezi zibalo kubukeka zihluke kakhulu nezakuleli njengoba i-Engineering Council of South Africa ihlanganise izibalo zabesifazane abalinganiselwa ku-11%. uMphathi kule nkampani uMnuz. Steven Bornwell uthi ,” kule minyaka edlulile ibe eyimpumelelo ukuthuthukisa abesifazane nokuvala igebe kwamanye amazwe. Yize

kusenegebe elikhulu kwamanye amazwe ikakhulukazi nelakuleli kwimikhakha yeSTEM. UVodacom unika ithuba amantombazane kuleyo mikhakha ethathwa njengeyabafana ,” kusho Bornwell . Labafundi emva kweviki bethola ukuqeqeshwa babe sebekonyeliswa labo abathathu abahambe phambili ngokusungula ama-website. Obashaye amakhanda kube u-Avasha Lochan waseTrenance Manor Secondary (Phoenix) ohlomule ngeLaptop, isibili kwaba uBanele Mthembu waseVukuzakhe eMlazi ohlomule ngeTablet kwathi olale isithathu kwaba uZethembiso Gumede waseBachet High (Sydenham).

Babuyelwe ithemba bethola imifaniswano eMolweni Tebogo Sibisi

Abaphathi basoseshini iMolweni Taxi Association nabafundi abahlomule ngemifaniswano yesikole BAHLOMULE ngemifaniswano yesikole abafundi bezikole eziyi-6 zaseMolweni ngaphandle kwasePinetown ehholo lomphakathi iDinabakubo Hall. Usoseshini wamatekisi iMolweni Taxi Associaion ubungaze usuku lukaMadiba ngokugqokisa abafundi abanga-30 bezikole iNdawende Primary School,Ukukhanyakwe-Africa Lower Primary,Lamula Primary ,Bazamile Primary,St-Leo Primary kanye neMolweni Lower Primary school.Lo soseshini uthe ukubone kubalulekile ukuthi kubekhona okuhle okwenzela umphakathi kulandela

izigameko zokubulalana kosomatekisi zangaphambilini. Ongushlalo walo soseshini uMnuz. Fano Shezi uthe bayazi ziningi izinto ezingezinhle ngososeshini ebezenzeka kodwa banenthemba lokuthi sezizoshintsha ngaphansi kobuholi babo obusha. “Thina siyikomidi elisha futhi umphakathi kuzomele ukuqonde ukuthi kungokokuqala senza umcimbi ofana nalo wokugqokiswa kwabantwana,sikubone kubalulekile ukuthi siqale ngabantwana ezikoleni yize ziningi izinhlelo esinazo zokubuyisela emphakathini. Sigqokise abafundi aba-5 isikole ngasinye

siyakuqonda ukuthi baningi abaphuma emindenini ehlwempu kodwa siyathembisa ukuthi njengoba sesiqalile asisaphindeli emuva lo umcimbi esizowenza minyaka yonke ngenhloso yokuzama ukucisha lelachashazi elimbi eselike lavela ngososeshini wethu lokubulalana.”Kusho uShezi. Abafundi babonge banconcoza benikwa lemifaniswano. Omunye wabafundi uSphokazi Sokhulu (10) owenza uGrade 5 esikoleni Ukukhanya kwe-Africa uthe ubonga kakhulu ngabakwenzelwe abemboni yamatekisi.” Ngijabula kakhulu ngokuthola lo mfaniswano sengizokwazi ukushintshanisa kulokhu ebenginakho ngoba bekuphoqeleka ukuthi ngiwashe nsukuzonke ngenxa yokuthi izinto zami ezinye bese zigugile.”

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

>> IPHINI LOMHLELI TEBOGO SIBISI tebogo@sivubelaintuthuko.co.za 079 245 8462

>> INTATHELI YEZEMIDLALO THABANI MAPHUMULO trmaphumulo@gmail.com 081 794 8407

>> GRAPHIC DESIGNER AND LAYOUT LINDA MAZIBUKO trusouth1@gmail.com 079 535 0581 IWEBSITE YETHU www.sivubelaintuthuko.co.za FACEBOOK sivubela intuthuko TWITTER @sivubela intuthuko INSTAGRAM sivubelaintuthuko IKHELI LETHU B 33 Ten Acre Thembeni Groutville P.O Box 4473, Stanger 4450 Gordon No.2 Road Morningside, Durban 4000 UMA UFUNA UKUKHANGISA KULELIPHEPHANDABA ,SHAYELA 031 822 2602/083 618 4252


JULAYI / AGASTI 2018

IKHASI 8

Sivubela Intuthuko

EZEMIDLALO

I-KZN Academy izobhekisa amabombo phesheya

Thabani Maphumulo

Umdlali uncoma umqhudelwano wezikole Thabani Maphumulo

Iqembu le-KZN Academy elilibhekise ezweni lasePortugal ukuyocobelelwa ngolwazi kulomdlalo

UBUHOLI beHoy Park kanye nobe FIFA World Cup Legacy Trust buzohambisa iqembu iKZN Academy ezwenikazi lase-Europe ukuyoncela ulwazi baphinde bazame nenhlanhla emaqenjini akhona. Lolu hlelo lwamenyezelwa ngonyaka odlule emva kokumiswa komqhudelwano we-Durban Under 19 obuletha amaqembu aphesheya edolobheni laseThekwini. Lowo ongumqondisi ngaphansi kweHoy Park uCarlos Catalina uchaze ngokubaluleka kokuhanjiswa kwabafana phesheya.

“Kubalulekile ukuthi sihlomise abadlali ngamakhono asezingeni ukuze bakwazi ukuncintisana namanye amaqembu asezingeni loMhlaba. Asiniki abadlali kuphela ulwazi kodwa kuzophinde kuhlomule nethimba labaqeqeshi,” kusho Catalino. Leli qembu lilifulathele elakuleli ngosuku lwangeSonto lilibhekise ePortugal , nalapho lizofike libhekane namaqembu afana neSporting Lisbon, Estoril Fc kanye neVictoria Setubal. Leli qembu lizobe lihlanganisa umqeqeshi uSboniso Vilakazi

kanye nabadlali abayishumi nesishiyagalombili. Ilungu lesigungu esiphezulu leSouth African Football Association (SAFA) uMbongeleni Shibe uveze ukuthi bayasiseka lesi sikhungo ngomsebenzi esesiwenzile. “Sifuna nezinye izifundazwe zibonele kulokhu osekwenziwe yi KZN Academy. Lokhu kuzonika ukuthuthukisa abadlali ngokushesha kuphinde kusisize ukuzibona uma siqhathaniswa namanye amaqembu omhlaba,” kusho Shibe.

Mrs. B. N. Sithole-Moloi: Hon MEC: Arts, Culture, Sports & Recreation

UMDLALI odabuka esifundazweni saKwaZulu-Natali uKhulekani Kubheka (19) nobeyinxenye yomqhudelwano iCOPA Coca-Cola U15 ngonyaka ka-2014 ubonga ithuba lokuzibonakalisa ngawo lo mqhudelwano. Lo mqhudelwano ozobe udlalwa okwesishiyagalolunye kulo nyaka usukhiqize abadlali abaningi. “Abadlali abaningi ebengidlala nabo esikoleni nakulo mqhudelwano kusisizile kakhulu ngoba sithole ithuba lokuzibonakalisa, ngokuncintisana nezikole ezisezingeni eliphezulu ezisuka kwezinye izifundazwe. Lokhu kusisizile ekutheni sikwazi ukuzithuthukisa ngendlela esidlala ngayo sisebencane,” kusho Kubheka UKubheka ubeyinxenye yomqhudelwano ngonyaka ka-2013 nango ,2014 lapho bewunqobe khona lo mqhudelwano beyisikole uClapham High yasePitoli. “Kwasijabulisa kakhulu ukudlala phambi kwabalandeli abaningi eKing Zwelithini. Kwangenza ngabona ukuthi ngibalulekile . Ngangisendaweni efanele ngesikhathi esifanele,” kuqhuba uKubheka. Emva kokunqoba lo mqhudelwano lo mdlali ube yinxenye yeqembu likaThabo Senong lika-Under 20 eliye kodlala kwindebe yomhlaba. Kuleli qembu ubedlala nozakwabo abagijima naye kuMamelodi Sundowns uMalebogo Modise. Lo mqhudelwano usukhiqize abadlali abaningi abasezingeni esingabala kubo oHappy Jele, Andile Jali, Mandla Masango, Malebogo Modise kanye nabanye abaningi. Le midlalo okwamanje isadlalwa ngokwezifundazwe. Kulindeleke ukuthi isifundazwe saKwaZulu-Natali sikhiphe umpetha mhla ziyishumi nesishiyagalombili kuNcwaba eKing Zwelithini, eMlazi.

Umkhucululi Products UMKHUCULULI & FREE DETOX . UMKHUCULULI LOTION . IMANZI NEGCOKAMA LIFE JUICE . SUKUMA . UBHAQA (ISIWASHO) 320 west street, 22nd floor, Room 22H, T/Dr S. Tembe, 031-828 0433, 082-597 6669

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

A LS O E I N ABL AVAIL OST M ACIES M R A PH


Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.