Sivubela intuthuko

Page 1

SIVUBELA Intuthuko

ADVERTISING: (031) 8222 602

FACEBOOK: SIVUBELA INTUTHUKO

LIMAHHALA

DISEMBA/ JANUWARI 2018

SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

USHICILELO 27

IGCAGCELE ESOKENI KWIZAKHAMUZI ZASEMHLATHUZE NGENKATHI ZIFAKELWA IWIFI YAMAHHALA Indaba kwikhasi: 7

Injabulo kuvulwa Irenki KwaMaphumulo >> IKHASI: 2

Luzoqala maduze olokwakhiwa kwezindlu eclermont >> IKHASI: 4

ITheku lihambe phambili kowama -Salga >> IKHASI: 8


IKHASI 2

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

DISEMBA/JANUWARI 2018

Kubanjwe umhlangano nomphakathi ngamafemu akwaSithebe Makhosi Mngoma

“njengomasipala sizoqinisekisa ukuthi siba nezigcawu lapho sizoxoxisana nomphakathi ngezinkinga ezikhona bese siqhamuka nezisombululo ezizonqanda imibhikisho.Siyanxusa nomphakathi uxhumane nathi uma kukhona ongeneme ngakho ngoba sikholelwa ekutheni ukucekela phansi izakhiwo akuqhamuki nesisombululo”

IMEYA kumasipala wase Mandeni ibe nomhlangano nomphakathi ehholweni lomphakathi lakwa Sithebe lapho kade bedinginga khona ukuthi angavuleka kanjani amathuba emsebenzi nezigq-

inamaba ezingase ziphazamise umsebenzi wokwakhiwa kwamafenu kwaSithebe. Ekhuluma kulo mcimbi uMeya uCllr Siphesihle Zulu unxuse umoya wokuthula njengoba lendawo phambilini kwaba

nombhikisho kwacekelwa phansi ingqalasizinda. Njengomasipala sizoqinisekisa ukuthi siba nezigcawu lapho sizoxoxisana nomphakathi ngezinkinga ezikhona bese siqhamuka nezisombululo ezizonqanda

imibhikisho.Siyanxusa nomphakathi uxhumane nathi uma kukhona ongeneme ngakho ngoba sikholelwa ekutheni ukucekela phansi izakhiwo akuqhamuki nesisombululo. Amafemu akwaSthebe iyona ndawo esikholelwa ukuthi ingaletha olukhulu usizo ekudaleni amathuba emisebenzi nokuthuthukisa umnotho wethu nowesifundazwe.”Kusho uZulu. UZulu uqhube wathi bafuna ukuqalisa uhlelo lokuqinisekisa ukuthi izikhungo zokuqeqeshela amakhono zifundisa lokho okudingwa izinkampani ezingaphansi kamasipala wethu ukuze kuzobalula ukuqasheka kwabantu ikakhullukazi intsha. Amalungu omphakathi azwakalise ukujabula ngokubanjwa kwalomhlangano.UMnuz. Bheki Ndlovu uthe babonga ubuholi bukamasipala ngokuza kubona ukuzoxoxisana.”Siyabonga umhlangano esibenawo neziphathimamdla Sinethemba lokuthi izikhalalzo esinazo ngamafemu akwaSthebe umasipala uzoqhamuka nezisombululo eziya phambili.”Kusho uNdlovu.

Injabulo kuvulwa irenki KwaMaphumulo

Makhosi Mngoma

SEKUZOPHELA ukukhosela ngaphansi kwemipheme kumphakathi wakwaMaphumulo emva kokuthi Ungqongqoshe wezokuthutha nokuvikela Kanye Nongqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zomdabu kulesifundazwe bethule I renki kule

ndawo. Le renki edle izidodla zezimali ephinde ibe igqophamlando ezimpilweni zomphakathi wasemakhaya njengoba uzokwenza izimpilo zabo zibe lula. Ukwethulwa kwale renki kuqale ngohambo kuyo le renki , Lapho Ungqongqoshe wezokuphepha nokuvikela

komphakathi uMnuz Mxolisi Kaunda ehambisana nemeya ye Lembe uMnuz Siduduzo Gumede, ne meya yakwaMaphumulo uZibuyile Khuzwayo- Dlamini Kanye nosihlalo wendlu yamakhosi kw iLembe INkosi NA Bhengu. Imeya ye lembe uMnuz Siduduzo Gumede uvule ngamazwi okwamukela izihambeli wathi lentuthuko izothuthukisa umnotho wezindawo ezakhelene ne Lembe. “lena intuthuko ezoba khona isikhathi esinde lapho uHulumeni afake khona izigidi zemali. Sicela ukuthi umphakathi unakekele ama projethi amahle njengalawa. Le projethi ingezinye yezingqalasisinda ezothuthukisa umnotho wesifundazwe,”kusho uGumede. Ukwakhiwa kwe renki yamatekisi kuzoba ngu- R8.7 million oluxhaswe umnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezindaba zomdabu ongaphansi kuka Nomusa Dube-Ncube. Lokhu kwakhiwa kwe renki kwezinye izinguquko ezinziwa ezindaweni zasemakhaya. UGumede uqhube wathi I projethi enjengalena izothuthukisa umnotho wendawo. “lendawo Kanye kufanele niwumphakathi niwaphathise okwezikh-

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

ali zamantungwa ngoba azoxovula amathuba emsebenzi aphinde afukule osomabhizinisi abafufusa. Ngesikhathi kuvulwa le renki yamatekisi Ungqongqoshe wezokuthuthqa nokuvikela esifundazweni uMnuz Mxolisi Kaunda unxuse umphakathi ukuthi ama projethi anjenga lawa bawathatha njengabalulekile kwi ngqalasisinda . “Sibhekene negwadla esifundazweni lapho abantu abathile bevede balimaze impahla kaHulumeni ehloselwe ukushitsha izimpilo zabantu bakuleli lokho bekwenza egameni lokuthi bayabhikisha ,”kusho uKaunda. UKaunda uphinde wanxusa umphakathi uqaphe kakhulu futhi unakekele imigwaqo njengoba kuyisikhathi samaholi.

“Sibhekene negwadla esifundazweni lapho abantu abathile bevede balimaze impahla kaHulumeni ehloselwe ukushitsha izimpilo zabantu bakuleli lokho bekwenza egameni lokuthi bayabhikisha ”


DISEMBA/JANUWARI 2018

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 3

IKHASI LIXHASWE UMASIPALA WETHEKU

Zibonga usizo lwenkundla yokuzivocavoca izaguga zaseClermont

Ward 21: Cllr. Mfanufikile Derrick Qwabe

Tebogo Sibisi

Luzoqala maduze olokwakhiwa kwezindlu eClermont

Umfula Aller River SEZIPHOTHULIWE izinhlelo zokulungiswa kwemigwaqo emdala kuwadi-21.Lolu hlelo luphothulwe kulo nyaka emva kwezinhlelo zikamasipala weTheku zokuthuthukisa imigwaqo ebinemgodi.

Ukhansela Mfanafuhi Qwabe uthe ukulungiswa kwale migwaqo kusize kakhulu umphakathi ngokuletha amathuba emisebenzi ikakhulukazi entsheni. Besiqinisekisa ukuthi amathuba avelayo siwanika abantu abasha okuyibona abayisibalo esiphezulu abahleli emakhaya.”Ukuvalwa kwemigodi phecelezi (Potholes)kusize kakhulu nakubashayeli bezimoto ebebebhekana nenkinga ikakhulukazi uma kunetha imvula.Ukuma okwesikhashana kwamathuba emisebenzi abekhona syafisa ukuqinisekisa intsha ukuthi kuningi kuseza okuqondene nayo.Kumanje kuzokwakhiwa izindlu eziyi-100 zakhelwa imindeni engathathi entweni leyo projekthi siyilindele ukuthi iqale ngoFebhruwari ngonyaka ozayo. Kulolo hlelo maningi amathuba azovela azohlomulisa abantu bewadi.” kuchaza uQwabe. UQwabe ube esephinda ebonga kakhulu kwithimba lewadi elisebenza ngokukhulu ukuzikhandla lihlanza umfula i-Aller River ongenela eKloof River nokuyiwona owenza lewadi yahlonishwa nge-awadi emcimbini iMail and Guardian’s Greening Award owawubanjelwe eThekwini ngenyanga uSepthemba kulo nyaka.

Lusahamba kahle olusiza abacwile ezidakamizweni eClermont Tebogo Sibisi

Esithombeni uNksz. Phumelele Ndlela osiza abafisa ukuphuma ezidakamizweni eClermont. LUSAQHUBEKA kahle uhlelo lokusiza abantwana asebegxile ezidakamizweni ngaphansi kawadi-21 eThekwini eholwa uCllr. Mfanafuthi Qwabe.Kubikwa ukuthi lolu hlelo lwaqala emva kokunyuka kwesibalo sabantu abasha abacwile ezidakamizweni ikakhulukazi iWhoonga nabagcina benza ubugebengu emphakathini. Ongumgqugquzeli walolu hlelo ojutshwe ukusebenzela eClermont ngaphansi kohlelo i-EPWP social sector uNksz. Phumelele Ndlela uthe uhlelo lusahamba kahle.’’Ngiqale ukwenza lo msebenzi ngo-2013 ngiqoqa ngiphinde ngiphelezele labo asebefisa ukuyeka izidakakmizwa ngibayise esikhungweni

sokwelashwa KwaDabeka.Okuhle ngabo bayaphuma ekudleni iwhoonga kumanje bayafunda abanye sebeyasebenza. Esengikufunde kakhulu ngalesidakamizwa ukuthi umuntu kumele angaphoqwa kodwa mele kusuke kuyena ngaphakathi ngoba uma ephoqwe ngabazali uyashesha ukubuyela kuzona izidakamizwa.”kusho uNdlela. UCllr Qwabe uthe bayawubona umehluko entsheni.”Bese kusikhathaza ukubona intsha yethu iphela ngenxa yeWhoonga. Sibonga kakhulu kumasipala wethu ngokusilethela abantu abazolekelela ekusindiseni izimpilo zabantu baphume kulolu bhubhane.Sabona kubalulekile ukuthi sisebenzisane nomtholampilo waKwaDabeka ngoba iwona oseduze futhi onezinsiza zokusiza abacwile ezidakamizweni.”kuchaza uQwabe.Kanti omunye osanda kuthola usizo uMnuz. Ntando Dubazane (16) uzwakalise okukhulu ukubonga ngokuthola usizo.”Bese kuyiskhathi eside ngifisa ukuphuma kwiWhoonga kodwa ekugcineni sengilutholile usizo.Ngiyafisa nabanye bathathe isinqumo esihle sokuphuma kulesidakamizwa ngoba asiyisani ndawo kunalokho sibulala ikusasa lethu njengoba kumanje ngayeka ngisho ukuqhubeka nesikole. Kuchaza uDubazane.

Inkundla yokuzivocavoca Tebogo Sibisi SEZINCOME impilo emnandi eziyiphilayo izaguga zakuwadi-21 eClermont emva kokubakhona kwenkundla yokuzivocavoca.Le nkunlda yakhiwe ekuqaleni kwalo nyaka ngenhloso yokugqugquzela intsha nabadala ukuthi bazivocavoce.Le ndawo okwakhiwe kuyona le nkundla ibiyindawo umphakathi obuyisebenzisela ukulahla imfucuza ngendlela engekho emthethweni nokwathi uma kungena ukhansela omusha uCllr Mfanafuthi Qwabe yaguqulwa yenziwa inkundla yokuzivocavoca. Esinye sezaguga esiseqenjini elijimayo kule nkundla uNkk. Meme Mokoena uthe sekumsize kakhulu ukuba kuleli qembu .”Phambilini indaba yokuzivocavo bekuyinto esingayinikile kodwa ukubakhona kwalenkundla kwasenza sahlangana namakhosikazi endawo sathatha isinqumo sokuthi njalo ekuseni nantambama sihlangane

sizivocavoce.Lokhu sekusize kakhulu ikakhulukazi nokusivikela ukungenwa izifo kalula.Kumanje sizizwa siphile saka ngisho odokotela bayasincoma uma siye emtholampilo.Siyafisake ukugqugquzela nabanye omama bavuke bazicoshe bazojoyina iqembu lethu.”kusho uNkk. Mokoena. Ukhansela wakule ndawo uCllr. uQwabe uthe kuhlezi kumthokozisa ukubona abesifazane asebekhulile bezivocavoca.”Ngizizwa ngifikelwa injabulo ngasosonke isikhathi uma ngibona omama asebekhulile behlangene kule nkundla.Le ndawo sayishitsha sayenza ipaki yokujimela ngemva kokubona ukuthi ingaba usizo olukhulu emphakathini.Siyafisake labomama bayibambe njalo bazivocavoce ukuze bavikeleke ukungenwa izifo kalula.Sinxusa nomphakathi uyivikele njalo ingqalasizinda yalepaki ingacekelelki phansi.”kusho uQwabe.

Kuzokwandiswa isibalo sabahlomula ngamaphasela okudla ewadi-21 Tebogo Sibisi

Amaphesela okudla anikelelwa imindeni eyi-103 njalo ngenyanga AZWAKALISE enkulu injabulo amalungu omphakathi akuwadi-21 ngohlelo lokuhlomula ngamaphasela okudla njalo ngenyanga. Kubikwa ukuthi lolu hlelo lusiza kakhulu imindeni edla imbuya ngothi nayo ethola lolu sizo ngokuhlonzwa amalungu eWar-room okuyiwona asuke engena imizi ngemizi ebheka imindeni edinga usizo ngokuhlukana kwayo.UNkk. Sibongile Mncwabe (55) uthe kuwusiza kakhulu

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

umndeni wakhe ukungena ngaphansi kwalolu hlelo.”Besengifisa ngisho ukuthola isibonelelo sikahulumeni ukuze ngizokwazi ukuphilisa abantwana bami inkinga iminyaka yami ayikangivumeli .Kumanje bengibaphilisa ngemali engiyisebenza emajalidini nayo engekho.Sibonga kakhulu usizo lwehhovisi lwekhansela olukwazi ukusinakekela ngamaphasela okudla indlala sesiyizwa ngendaba. Ukhansela wakule wadi uMfanfuthi Qwabe uthe basazosandisa isibalo semindeni ehlomula ngamaphasela.”Okwamanje ilinganiselwa e-103 imindeni ehlomula ngamaphasela okudla okubiza ivoucher ka-R1 500 ngenyanga.Sabona kungcono sicele usizo kwabenhlangano yezimpasheni u-SASSA ukuze kusizakale lemindeni. Asigcinile sisazoqhubeka sifake neminye imindeni ngoba sikholelwa ekutheni wonke umuntu uyakudinga okuya ngasethunjini okunempilo. Siyanxusa basibekezelele labo abangakafakwa ohlwini ngoba lezi akuzona izinhlelo eziqhamuka nathi njengamakhansela kodwa umsebenzi esiwuthunywa umasipala wethu weTheku wokuthi sinakekele umphakathi ngezindlela zonke.”kuchaza uQwabe.


DISEMBA/JANUWARI 2018

WHOA! UKUHAMBA WHOA!UBHALA KWI-CELLPHONE YAKHO YISENZO ESIYINGOZI. UKUHAMBA UBHALA KWI-CELLPHONE YAKHO YISENZO ESIYINGOZI.

WHOA!

Ukuhamba ubhala kwi-cellphone yakho kwedukisa ingqondo yakho ingabe isaziqapha izimoto eziseduze nawe.

UKUHAMBA UBHALA KWI-CELLPHONE Ukuhamba ubhala kwi-cellphone yakho kwedukisa ingqondo yakho ingabe isaziqapha Akukho emqoka izimoto ngxoxo eziseduze nawe.ngendlela yokuthi usungazifaka emgwaqweni lapho ungashayiswa khona yizimoto. ZitholeleESIYINGOZI. indawo ephephile, ume kuyona, ubhale loko YAKHO YISENZO okubhalayo kude nezingozi zomgwaqo. Akukho ngxoxo emqoka ngendlela yokuthi usungazifaka emgwaqweni lapho ungashayiswa khona yizimoto. Zitholele indawo ephephile, ume kuyona, ubhale loko okubhalayo kude nezingozi zomgwaqo.

Ukuhamba ubhala kwi-cellphone yakho kwedukisa ingqondo yakho ingabe isaziqapha izimoto eziseduze nawe. Akukho ngxoxo emqoka ngendlela yokuthi usungazifaka emgwaqweni lapho A SANRAL INITIATIVE. ungashayiswa khona yizimoto. Zitholele indawo ephephile, ume kuyona, ubhale loko okubhalayo kude nezingozi zomgwaqo. www.sanral.co.za

A SANRAL INITIATIVE.

Reg. No. 1998/009584/30 Uphiko loMnyango Wezokuthutha.

www.sanral.co.za

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Reg. No. 1998/009584/30 Uphiko loMnyango Wezokuthutha.

BLUEPRINT 2657/Z

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

BLUEPRINT 2657/Z BLUEPRINT 2657/Z

IKHASI 4


IKHASI 5

UNGALAYISHI UNGALAYISHI KUZE KUZE KWEQE. KWEQE.

UNGALAYISHI KUZE KWEQE.

Imigwaqo yezwe lakithi isetshenziswa cishe yiwo wonke umuntu nsuku Imigwaqo yezwe lakithi isetshenziswa cishe yiwo wonke umuntu nsuku zonke. Ukulayisha inqola, itekisi noma i-truck yakho ngokweqile, nokwedlula zonke. Ukulayisha inqola, itekisi noma i-truck yakho ngokweqile, nokwedlula isilinganiso esivunyelwe sokuphakama kwemithwalo kunoma iyiphi imoto, isilinganiso esivunyelwe sokuphakama kwemithwalo kunoma iyiphi imoto, Imigwaqo yezwe lakithi isetshenziswa cishe yiwoethu, wonke umuntu nsuku akugcini ngokulimaza imigwaqo namabhuloho kubuye kube negalelo akugcini ngokulimaza imigwaqo namabhuloho ethu, kubuye kubenokwedlula negalelo zonke. Ukulayisha inqola,yokuphepha itekisi noma i-truck yakho ngokweqile, kulenkinga esinayo emigwaqweni kulelizwe lethu. kulenkinga esinayo yokuphepha emigwaqweni kulelizwe lethu.iyiphi imoto, isilinganiso esivunyelwe sokuphakama kwemithwalo kunoma

akugciniKwa ngokulimaza imigwaqo ethu, njengomuntu kubuye kubeohamba negalelo SANRAL, sikholwa ukuthinamabhuloho kubalulekile kuwena Kwa SANRAL, sikholwa ukuthi kubalulekile kuwena njengomuntu ohamba kulenkinga esinayo yokuphepha emigwaqweni kulelizwe lethu.ongakanani. ngemoto, ukwazi kahle ukuthi imoto yakho ithwala umthwalo

ngemoto, ukwazi kahle ukuthi imoto yakho ithwala umthwalo ongakanani. Loko kuzokusiza uzuze okuthe xaxa emotweni yakho, nangaphezu kwaloko, Loko kuzokusiza uzuze okuthe xaxa emotweni yakho, nangaphezu kwaloko, uzuze okuningi emigwaqweni yaseNingizimu Afrika. Ngokucabangela abanye Kwa SANRAL, sikholwa ukuthi kubalulekile kuwena njengomuntu ohamba uzuze okuningi emigwaqweni yaseNingizimu Afrika. Ngokucabangela abanye abasebenzisi bemigwaqo, ibhizinisi lakho, nemigwaqo yethu, siyakucela… abasebenzisi bemigwaqo, ibhizinisi lakho,ithwala nemigwaqo yethu, siyakucela… ngemoto, ukwazi kahle ukuthi imoto yakho umthwalo ongakanani. musa ukulayisha ngokweqile. musa ukulayisha ngokweqile. Loko kuzokusiza uzuze okuthe xaxa emotweni yakho, nangaphezu kwaloko,

uzuze okuningi SANRAL. emigwaqweni Beyond roads. yaseNingizimu Afrika. Ngokucabangela abanye SANRAL. Beyond roads. abasebenzisi bemigwaqo, ibhizinisi lakho, nemigwaqo yethu, siyakucela… musa ukulayisha ngokweqile. SANRAL. Beyond roads.

www.sanral.co.za www.sanral.co.za Reg. No. 1998/009584/30 An agency of the Department of Transport. Reg. No. 1998/009584/30 An agency of the Department of Transport.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI 2633 SANRAL overloading Campaign_300X180_ZULU.indd 1

2018/11/29 1:54 PM

BLUEPRINT 2633/Z

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

BLUEPRINT BLUEPRINT 2633/Z 2633/Z

DISEMBA/JANUWARI 2018


IKHASI 6

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

DISEMBA/JANUWARI 2018

UMnyango unesifiso sokuthuthukisa abalimi abamnyama

Makhosi Mngoma

Ungqongqoshe wezoLimo uMnuz. Themba Mthembu. UNGQONGQOSHE wezoLimo esifundazweni saKwaZulu-Natali uMnuz. Themba Mthembu uthi bayafisa ukuhlangana nama-Agency ukuze bezokwazi ukuxoxisana ngokuthi bengabalekelelela kanjani abalimi abasafufusa ekufakeni umkhiqizo wabo ezitolo ezinkulu ezidayisa iziithelo nezitshalo.Ekhuluma esidlwe-

ni sasekuseni eCoastland Hotel eMhlanga ekuqaleni kwale nyanga uMthembu uthe ezolimo zibalulekile kakhulu futhi mele baqinisekise ukuthi bayaya kubantu emphakathi ukuyobona izinto abazilimayo ukuze bathole ukubhekelelwa.”Ezolimo kuningi ezikwenzayo zidala amathuba emisebenzi ziphinde zikwazi ukukhulisa

umnotho wesiFundazwe.Kuyajabulisa ukubona abantu bezikhuthalele ezoLimo ikakhulukazi njengoba namathuba emisebenzi engekho.Ngenxa yezitshalo ezikhona isiFundazwe sethu sihamba phambili kwezolimo.”kusho uMthembu. UMthembu uthe Isifundazwe sihambe phambili kwezolimo.”’Kuno mhlaba obalelwa ku -4,5 million olungele ukuthi usetshenziselwe imfuyo owakha -46,s wamaphesenti wezolimo esifundazweni sethu. Kubikwa ukuthi kunomhlaba obalelwa ku -316 000 okhona kwezinye izingxenye zesifundazwe ongasetshenziswa. Kwezolimo ingezinye zezimboni ezimbili ezithuthuke kahle ngonyaka ka-2017 ngenxa yokwanda kwezitshala nezemfuyo. muva nje lemboni isibhekene nezinkinga ikakhulu ekuqaleni kwalo nyaka. Ukukhula nokuthuthuka kwezolimo kulesifundazwe kudinga usizo oluthe xaxa kuHulumeni kanye namabanye abanesikhathi bekule mboni ukuze sikwazi ukukhiqiza Abalimi abanomdladla . Sisebenza ukushitsha indlela yezolimo ebezibhekwa ngayo sike sabona ushitsho kanye nokukhula sisebenzisa lamasu alandelayo Muva umnyango wethu ube nesamithi yezinsuku yezolimo evule ithuba lokucobelelana ngolwazi nabao aabakule

mboni sixoxisana ngamasu ayaphambili agngathuthuthukisa ezolimo. Lelisu lizoba umhlahlandlela ukuthuthuthukisa ezolimo kulesifundazwe. Ukuyisa phambili kwezolimo. lamasu alandelayo: . ukuthuthuka kwezolimo kuza kuqala kulabo ekade abavela ezindaweni ezinganakiwe kwezolimo ekugcineni ezolimo kufanele zizuze lokhu: Kube nesiqinisekiso sokuthi kuba khona ukudla emakhaya okukhiqizwe phansi Ukuthuthukisa abatshali UkuThuthukisa abantu abamnyama kwezolimo ukuze bakwazi ukufaka imikhiqizo yabo ezimakethe. Ngesikhathi senkulumo yesizwe ekuqaleni kwalo nyaka uMengameli Cyril Ramaphosa wakhuluma ngokubaluleka kwezolimo ezingakuveza ekuthuthukiseni umnotho wakuleli Yingakho UHulume amehlo akhe asethe njo kwezolimo ukuze abantu bakuleli bathole ukudla okunomsonco bese kuthuthuka nomnotho wakuleli. Sifuna abalimi babambe iqhaza elikhulu kwezolimo futhi bakwazi ukuncintisana nabanye ezweni nase mazweni angaphandle futhi imikhiqizo yabo ingagcini lana kuphela. Umbono wethu omkhulu ukuthi abalimi bakulesifundazwe bakwazi ukudayisela izitolo ezinkulu ezizinze kulesi fundazwe”kuchaza uMthembu.

I Theku litshale izisebenzi eziningi kulamaholidi Makhosi Mngoma

ETHEKWINI

HAS MORE FUN & SUN THIS FESTIVE SEASON Take a splash at the beautiful beach but remember to co-operate with our lifeguards. They are here for your safety and protection.

www.durban.gov.za

eThekwiniM

@eThekwiniM

Abephume ngothi lawo wonke amaphoyisa kanye naba tshuzi base Thekwini ngesikhathi kuyimpela sonto yokuqala kaZibandlela ukuzoqapha isimo emabhishi njengoba abantu kade bebulala inyoka khona. Ibamba lika Sihlalo we FESMAC, uMalcolm Canham uthe lempelasonto ende esiphume kuyo ibiyisivivinyo sokuthi bakulungele yini beyi Theku ukumumatha izinkumbu zezivakashi. “Zonke izimoto bezikhonjwa e Drive –Inn site , lokhu kube nomphumela wokunqanda ukugcwala ezitaladini ezinkulu zeTheku kubavakashi bekubhalwe ebusweni ukuthi bayajabula ngohlelo olwenziwe, “kusho Canham. Izinombolo zangempelasonto

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

yangomhlaka (14-17) zimi kanje kubantu abahambela ibhishi: Ebhishi eliphakathi netheku babalelwa ku 410 210, kuthi kumabhishi asentshonalanga babe ngu 298028. Enyakatho netheku bakwazi ukumumatha abangu 63 000. Kusizwe abantu abangu 106 ekade beminza ababe nemihuzuko ngenxa ngokusikwa amabhodlela abathole usizo lokuqala babe ngu 4231. Kune nezingane ezibalelwa ku 1725 ebezidukelene nabazali bazo kodwa loluhlelo lwama armband sakwazi ukuthi siphinde sihlanganise izingane ebezidukile nabazali bazo. Umnyango wakwa Cleaning and Solid ube nabasebenzi abangaphansi kwalo mnyango abangu- 1 807 432 beqoqa yonke imfucuza kuma wonke amabhishi. Kwavulwa icala lokubulala e eBhishi lase Casarina emva kokuthi othile wadubuleka emva kwengxabano encane . Umsolwa waboshwa wayiswa kwabakwa sidlodlo kwaphinde kwabika icala lokushayisa umuntu wabaleka womabili lamacala ayaphenywa.


DISEMBA/JANUWARI 2018

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Uyaziqhenya ngengqalasizinda yamanzi owaseMzinyathi

Tebogo Sibisi

UMeya wesiFunda uMzinyathi uCllr Mthandeni Ngubane LUYAQHUBEKA uhlelo lokuthuthukiswa kwengqalasizinda yezindlu zangasese kanye nokufakwa kwamapayipi amasha kumasipala wesiFunda uMzinyathi. Lokhu kugqame ngesikhathi lo masipala kade ubambe isithangami nabezindaba eThekwini namhlanje ngenhloso yokuzokwethula izinhlelo lo masipala osuzenzile nosazozenza ngesabelomali sonyaka ka-2018/2019.Ethula umbiko wakhe

umeya walo masipala uCllr Mthandeni Ngubane uthe bayaziqhenya ngentuthuko asebeyilethele umphakathi kubona bonke omasipala abangaphansi koMzinyathi. “Sizishaya isifuba ngomsebenzi esesiwenzile ikakhulukazi ukulwisana nesomiso okuyina ebesinzima emphakathini.Kumanje izinkampani sezaluqala uhlelo lokwakha izindlu zangasese eNquthu,eMsinga kanye naseMvoti njengo-

ba kwakhiwa izindlu zangasese ezingu-652 umasipala uwodwa.Usonkontileka useqashiwe uyakha njengamanje amathangi okuhlanza amanzi emphakathini waseNgubevu.EMvoti kunwetshwa isihlanzamanzi esizodla uR52 million wamarandi”Kusho uNgubane. UNgubane uqhube wathi kuwadi 4 ngaphansi kamasipala waseNquthu sekuqashwe usonkontileka owakhayo kanti kuzothathwa amanzi ambiwe phansi aqoqelwe ethangini elibizwa ngeReservoir bese esatshalaliswa emphakathini ngamapayipi amancane.”Lo msebenzi wokusatshaaliswa kwamanzi uzodla izigidi ezi-R15 million wamarandi .Alinganganiselwa eshumini nanhlanu amathuba emisebenzi avelile ngesikhathi kumbiwa imisele yamapayipi kanti amanye azovela uma kuqhutshekwa nomsebenzi wokufakwa kwamapayipi amasha.Kuyasithokozisa ukubona umsebenzi esesiwenzile ngalesikhashana sisangenile emva kokuthi kwaphazamiseka ukungena kwethu ukuphatha uMzinyathi ngenxa yokhetho lokuchibiyela okwakumele lubanjwe eNquthu.Ukuphazamiseka kwethu ngesikhathi esingangonyaka sazibekela ukuthi ubonakale umehluko uma sesiseHhovisi.”kuchaza uNgubane. UMeya ube esegqugquzela umphakathi ngokuphatha kahle izinto ohlinzekwa ngazo wanxusa abangakazuzi lutho ukuthi babekezele.

Igcagcele esokeni kwizakhamuzi zaseMhlathuze ngenkathi zifakelwa iWIFI yamahhala

Makhosi Mngoma

Imeya yase Mhlathuze uMduduzi Mhlongo uphinde wavula ihhola eMandlanzini KUBE injabulo eMhlathuze ngesikhathi kufakwa emphakathini I WIFi yammhala lapho izwe libhekene negwadla yokubiza kwama data. IMeya yase Mhlathuze ithula le projethi uMnuz Mduduzi Mhlongo ese ePaki yase sikhaleni uthe lomsebenzi omkhulu kangaka uzosiza intsha Kanye nalabo abenza umkhankaso wokunciphi

sa ukubiza kwama data. “Amadata ayabiza kakhulu kuleli ekuebeni intsha idinga ukuthi ngaso sonke isikhathi ibe nokwazi ukusebenzisa I Internet ukuze baqoqe ulwazi, baphinde bathole namathuba lapho okukhangiswe khona imisebenzi .Ngakho ngale WIFI yamahhala izokukwazi ukusiza intsha

esezikoleni ukuthi bakwazi ukusebenzisa benze umsebenmzi wesikole Kanye neminye imisibenz . “Siwu mkhandlu siyakholelwa ukutheni kufanele sifeze izidingo zomphakathi siqhutshwa umkhankaso onesigqubulo esith THUMA MINA ohleselwe ukuthi ube umphakathi phambili Kanye nezidingo zawo, “kusho uMhlongo. Uhlu lokuqala lwe WIFI yamahhala luhlnganisa Esikhaleni park zone, Vulindlela Hall Zone, Richards Bay civic center zone, EMpangeni civic center zone, eNseleni Library zone Kanye nase Macekane library. Bonke abahlali banikwa inani elingango 150 megabytes ngosuku bakwazi ukusebenzisa I internet ngosuku. Umkhandlu wase mhlathuze uqale ngokufaka ama khebuli e Fibre ukuhlanganisa izindawo eziwugogodla namalapho okusbenzela khona umkhandlu ukuze kube khona I WIFi yamahhala kulezindawo. Ukuxhunywa kwama Broadband wamakhebuli kusuka e Rcihards Bay kuya eMpangeni (21 KM), eMpangeni kuye eNgwelezane (6KM) eMpangeni kuye eVulindlela kuthi eSikhalenio (47 KM) , Mhlathuze (16KM) iyonke le projethi ibize u R52,6 million .

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 7

SIVUBELA Intuthuko

ITHIMBA LEPHEPHA

>> UMHLELI MAKHOSI MNGOMA makhosi@sivubelaintuthuko.co.za 083 618 4252

>> IPHINI LOMHLELI TEBOGO SIBISI tebogo@sivubelaintuthuko.co.za 079 245 8462

>> INTATHELI YEZEMIDLALO THABANI MAPHUMULO trmaphumulo@gmail.com 081 794 8407

>> GRAPHIC DESIGNER AND LAYOUT LINDA MAZIBUKO trusouth1@gmail.com 079 535 0581 IWEBSITE YETHU www.sivubelaintuthuko.co.za FACEBOOK sivubela intuthuko TWITTER @sivubela intuthuko INSTAGRAM sivubelaintuthuko IKHELI LETHU B 33 Ten Acre Thembeni Groutville P.O Box 4473, Stanger 4450 Gordon No.2 Road Morningside, Durban 4000 UMA UFUNA UKUKHANGISA KULELIPHEPHANDABA ,SHAYELA 031 822 2602/083 618 4252


DISEMBA/JANUWARI 2018

IKHASI 8

Sivubela Intuthuko

EZEMIDLALO

Ube Yimpumelelo Umqhudelwano Wabesifazane

Thabani Maphumulo

UBEYIMPUMELELO umqhudelwano wabesifazabe abadlala ibhola lezinyawo iScore Women’s Tournament obubanjelwe enkundleni iJ.L Dube eNanda ngoMgqibelo. Lo mqhudelwano ubuhlanganisa amaqembu amane asuka ezindaweni ezakhelene neTheku. Iqembu elinqobile kube yiScorpion Ladies sihlula iKwaMashu Ladies. “ Inhloso yethu yokusingatha lo mqhudelwano ukugqugquzela abesifazabe ukuba bazibandakanye nebhola lezinyawo babe nothando lwalo. Besifuna nokubanika ithuba lokuba bazibonakalise baphinde bathuthuke kunobhutshuzwayo,” kusho Thabiso Mkhize ophethe ezokuMaketha kwaScore. Lo mqhudelwa ubuhanjelwe abaningi kanti ukhombise ukuba nesasasa lokho kuvezwe uMkhize emva kwalo mqhudelwano. “Sikholwa ukuthi lo mqhudelwano. ube yimpumelelo.kakhulu, umphakathi

Iqembu elidle umhlanganiso iScorpion Ladies elihlule iKwaMashu Sisters

Owe-Natal Rich Boyz Nomqhudelwano Ngakubo

awuzange usiphoxe uphume ngobuningi bawo ukuzokweseka imbokodo. Futhi siyakuqonda kahle ukuthi bekungokokuqala sisingatha lo mqhudelwano, siyathemba ngonyaka ozayo sizokhula isibalo.” kusho Mkhize. Iqembu elinqobile kulo mqhudelwano lithole ijezi lokudlala le-Umbro kanti ngaphandle kwalokho le nkampani yesiphuzo ibikhipha izipho ezahlukene kubadlali nakubalandeli. “Siyinkampani ezibandakanyayo nezinhlelo zomphakathi kanti sikholwa ukuthi kubalulekile ukuzeseka izinhelo zomphakathi ukuze sithuthukise umphakathi esiwakhele. Sesike saseka imiqhudelwano efana noMetro Cup ebidlalwa abaneminyaka engaphansi ku-U/15 no U/19.” kuphetha uMkhize. Le nkampani ithi izivulile izindla kwabanezinhlelo zokuthuthukisa ibhola emphakathini wakukesi sifundazwe.

ITheku lihambe phambili kowama -Salga

Makhosi Mngoma

Thabani Maphumulo UNOZINTI weRichards Bay fc uXolani Ngcobo uzobuyisela emphakathini ngomqhudelwano ozoba mhla zingu-2628 kuDisemba ezinkudleni zemidlalo eLandskop, eMaswazini. Lo mqhudelwano okuhloswe ngawo ukuqoqa intsha ngalesi sikhathi sobumnandi bekumele ube mhla ziyishumi nesithupha kodwa wabuye wahlehliswa. “Ngifisa ukuxolisa ngokuhlehla kwalo mqhudelwano kodwa konke bekungaphezu kwamandla njengoba bekufanele siye kodlala umdlalo wethu wasekuhambeni. Ngiyathemba abantu bazophuma ngobuningi babo ukuzojabulela lemidlalo,” kusho Ngcobo. Ngalesikhathi sonyaka imidlalo iyaye ithi chithi saka ngezinhloso ezifanayo zokugwema intsha ukuba ingazibandakanyi nezinto ezibhedayo njengoba kuyisikhathi sokuphela konyaka. “Sifuna ukuqeda intsha egxile ophuzweni kodwa izijabulise ngebhola. Akugcini lapho ngoba abanye bangazith-

Ithimba lase Thekwini elibashaye emakhanda kwimidlalo yama SALGA.

Unozinti Richards Bay FC uXolani Ngcobo ohlele umqhudelwano ola sebethola ithuba lokubonakalisa ikhono.labo.” kuphetha uNgcobo.

UNgqongqoshe we Zemidlalo kanye nezokungcebeleka KwaZulu-Natal ubongele UMasipala weTheku njengo Masipala owenze ezibukwayo emdlalweni yama SALGA esifundazweni obubanjelwe eMgungundlovu. ITheku lizuze amaphuzu angu 272 lilandelwa Amajuba ngamaphuzu angu 172, Harry Gwala uphume indawo yesithathu ngamaphuzu angu 127 kuthi ekade besingethe lomcimbi uMngungundlovu waphuma waba ngu nombolo 4 ngamaphuzu angu 127. UNgqongqoshe wezemidlalo nezokung-

cebeleka Unkk Bongi Moloi- Sithole ubonge bonke ababambe iqhaza kule midlalo. “Lemidlalo igqugquzela intsha ukuthi iziphathe kahle iphinde ibavulele amathuba njengoba isiyonke lemidlalo ekuncitshiswana kuyo ingu-16 okungezemidlala ehlukahlukene. “Sifisa ukuthi abazali Kanye nemiphakathi baqhubeke bakhuthaza intsha ukuthi izibandakanye nezemidlalo ngoba siyakholelwa ukuthi enye intsha imandla kwezemidlalo okungayinika amathuba angcobo empilweni,”Kusho uMoloi.

Umkhucululi Products UMKHUCULULI & FREE DETOX . UMKHUCULULI LOTION . IMANZI NEGCOKAMA LIFE JUICE . SUKUMA . UBHAQA (ISIWASHO) 320 west street, 22nd floor, Room 22H, T/Dr S. Tembe, 031-828 0433, 082-597 6669

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

A LS O E I N ABL AVAIL OST M ACIES M R A PH


Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.