Sivubela Intuthuko newspaper

Page 1

SIVUBELA Intuthuko

ADVERTISING: (031) 8222 602 SEPTHEMBA 2019

2

Inhlokomo uNgqongqoshe eletha izipho e St Lucia

FACEBOOK: SIVUBELA INTUTHUKO

LIMAHHALA

SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

iNdwedwe nohlelo lwamanzi olubiza izigidi zamarandi

4

Kuza indumezulu yomcimbi weLadies House eThekwini

USHICILELO 36

7

IMasihambisane high izomela i-KZN kowe-Coca Cola

udaba kukhasi: 3

8

“Sizoqinisa uxhaso kwabesifazane abasemkhakheni wezokwakha,” Nkonyeni UNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu neMisebenzi yoMphakathi uNkk. Peggy Nkonyeni ekhuluma kwingqungquthela yokucija abantu besifazane abasembonini yezokwakha

iHambe kahle eyesimo sezulu KZN - ikhasi 7-

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


IKHASI 2

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

SEPTHEMBA 2019

Kwethulwe uhlelo lokuqeqesha abafundisi eMzinyathi

UMeya kumasipala uMzinyathi uMnuz. Petros Ngubane naye obegqoka ngokusemthethweni ijazi lobuDokotela emkhakheni wokuba uMfundisi. TEBOGO SIBISI BAZOTHOLA uqeqesho lokuziphatha kanye nokuzikhulisa abafundisi abah-

likene abaqhamuka komasipala abane oku-Mvoti,uMsinga,iNquthu kanye nowaseNdumeni. Lokhu kulandela ukwethulwa

ngokusemthethweni kwaloluhlelo nguMasipala wesiFunda uMzinyathi NgoLwesithathu.UMeya walomasipala uCllr. Petros Ngubane uthe kumjabulisa kakhulu u kubo na lifezeka iphupho likamasipala wakhe lowethula loluhlelo ngoba ukwethulwa kwalo kwakumele kwenzeke ngonyaka odlule ngenxa yezingqinamba kwamiswa. “Kusijabulisa kakhulu ukwethulwa loluhlelo ngoba sikholelwa ekutheni umphakathi kumele umeleleke futhi ufundiseke ngazozonke izindlela. Ziningi kakhulu izingqinamba ezibhekene nabefundisi ezweni esiphila kulona nokwenze sabona kunesidingo esikhulu sokuthi silwethule ngokusemthethweni loluhlelo komasipala bethu. Ngonyaka odlule sathula amakomiti azomela abafundisi komasipala namanje yiwona lawomakomiti esiwasebenzisile ukuze kube iwona ahlonza abafundisa abazoqala uqeqesho lwaba njengoba sibone kubalulekile ukuthi siqale ngokuthatha abafundisi abahlanu umasipala ngamunye kuzothi ekuhambeni kwesikathi bese siyakwazi ukuqhubeka sithathe nabanye ngoba sifisa ukuthi umphakathi wethu uthole usizo nangokomphefumulo ngoba sikholelwa ekutheni amaBandla nawo adlala indima enkulu ekulapheni abantu ngokomphe-

fumulo.”kusho uNgubane. UNgubane uqhube wathi bayaziqonda izingqinamba zenkohlakalo nezokudlwengula kanye nokunye ezibhekene nabafundisi wagcizelela ngokuthi banethemba elikhulu lokuthi loluqeqesho luzokwazi ukugwema izigameko ezifuze lezi. OnguMsunguli wekolishi okuzothola khona uqeqesho ilabefundisi iKwaMsindisi Bible College uMnuz. Sanele Zakwe uthe ikolishi labo selikhiqize lasiza abafundisi abaningi futhi bazimisele ngokuqhubeka nokuqeqesha abafundisi bendawo abazinze kuyona. “ Siyakuqonda ukuthi abafundisi abaningi babhekene nobuphofu ezingqondweni zabo ngakho thina esikwenzayo ukubaqeqesha ngokwenga lokufundwa kwebhayibheli,ukuziphatha,ukuzihlonipha kanye nokuzikhulisa. Siyabonga kakhulu kumasipala wethu owasinika ithuba lokusilalela uma sifaka isicelo sokwenza loluhlelo njengoba uhlelo luzoqala maduze. Zihlukene kathathu izigaba zoqeqesho lwethu njengoba sinesigaba sokuqeqesha unyaka owodwa esinye siba neminyaka emibili kanti esokugcina siba neminyaka emithathu bese kuba kuyena uMfundisi ngamunye ukuthi ufisa ukungena kusiphi isigaba.”kuphetha uZakwe.

Inhlokomo uNgqongqoshe eletha izipho e St Lucia MAKHOSI MNGOMA KUVELE elomhlathi yinjabulo emphakathini ohlaselwe ububha uNgqongqoshe womnyango weZezimali esifundazweni saKwaZulu-Natali uMnuz. Ravi Pillay ezonikela ngezipho eDukuduku e St Lucia. UNgqongqoshe ufike ephethe izipho, iminikelo kanye noxhaso lwamabhizinisi asafufusa ngesikhathi ehambele umphakathi wase Dukuduku. U Pillay ubehambe ngochungechunge lokugubha inyanga yabantu besifazane kanye nomphakathi owakhele le ndawo. Uhambo luka Ngqongqoshe lokuvakashela le ndawo lukhuthazwe ukwentuleka kwamathuba emisebenzi kanye nokwenyuka kwezinga lobubha endaweni. Ekhuluma kulo mcimbi, u Pillay ukhuthaze abantu abasha ukuthi bathathe amathuba avelayo basungule amabhizinisi ukuze kuzokwehla izinga lokwentuleka kwemisebenzi kanye nokwenyuka kwezinga lobubha. “Sizimisele ukuqhamuka nezisombululo ezinkingeni ezibhekene nabantu abasha. Inhloso ngqangi yethu ukwenza isiqiniseko sokuthi sithatha igxathu ekulwisaneni nokwentuleka kwamathuba emisebenzi. Kwezinye zezinto esiziphethe yizinsiza kusebenza ezizokwelekelela abantu abasha ukuthi basungule baphinde basimamise amabhizinisi wabo, Ezinye zezinto esizokwenza isiqiniseko sokuthi sisebenza

kanzima kuzo kulesi sifundazwe ukwenza kangcono isimo somnotho, sikhande amathuba omsebenzi, sigqugquzele abantu ikakhulukazi abasha ukuba baqale amabhizinisi bese senza ingqalasizinda abazosebenzela kuyo ukuze siqinise amaxhama okuhwebelana” USihlalo we Janitor Co-operative uMhlonipheni Mfeka uthe bayaluthokozela uxhaso lwemifela ndawonye oluzobasiza ukuzibambela mathupha ekufukuleni umnotho wesifundazwe. “Siyabonga kakhulu ku ngqongqoshe ngokusilethela uhlelo oluzosilekelela ukuthuthukisa amabhizinisi amancane nemifela ndawonye endaweni,” kusho uMfeka. UPillay uqhube wathi lolu uchungechunge lohambo ngokuvakashela umndeni ohlwempu osendaweni yase Khula, kulo mndeni onamalungu ayisithupha akekho osebenzayo. Ukuze baphile babheke imali yesibonelelo sika Hulumeni ka gogo Janet Ndlovu. UPillay unikele ngokudla nezitofu kulo mndeni, waqhubeka ngokupha izalukazi zase Khula izingubo zokulala nezinduku zokuhama. Ekhuluma nomphakathi, u Pillay uthe udaba lwamanzi lungezinye zezinkinga uhulumeni ozamayo ukulwisana nazo, uthe sekuntwela ezansi ngokuthi baqhamuke nezisombululo zenkinga yokweswela amanzi kwabantu base Mkhanyakude.

“Sizimisele ukuqhamuka nezisombululo ezinkingeni ezibhekene nabantu abasha. Inhloso ngqangi yethu ukwenza isiqiniseko sokuthi sithatha igxathu ekulwisaneni kwamathuba emisebenzi.

UNgqongqoshe weZezimali uMnuz. Ravi Pillay ngesikhathi enikela ngezipho kubantu base Dukuduku eSt Lucia.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


SEPTHEMBA 2019

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 3

“Sizoqinisa uxhaso kwabesifazane abasemkhakheni wezokwakha,” Nkonyeni “Inselelo isele kithina, sizimisele ukuqinisekisa ukuthi abantu besifazane baba yinsika ekwakheni lesi sifundazwe kanye nezwe lethu. Sizokwenza konke okusemandleni ukubeseka ukuze bezophumelela kulo mkhakha,” UNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu neMisebenzi yoMphakathi uNkk. Peggy Nkonyeni ekhuluma kwingqungquthela yokucija abantu besifazane abasembonini yezokwakha TEBOGO SIBISI UMNYANGO wezokuHlaliswa kwabantu neMisebenzi yoMphakathi ugqugquzela abantu besifazane ukuthi bangabi madolo nzima emkhakheni wezokwakha. UNgqongqoshe walo mnyango uNkk. Peggy Nkonyeni ubambe ingqungquthela yesifundazwe esiqubulo sithi “Empowering Women in Built Environment”, inhloso yale ngqungquthela bekungukudingida ngamathuba akhelwe besifazane emkhakheni wezokwakha. Le ngqungquthela beyihanjelwe abesifazane abalinganiselwa ema-300 abanamabhizinisi ezokwakha. Okuhlalukile ngesikhathi abesifazane becobelelana ngolwazi ukuthi ukwantuleka koxhaso lwezimali nezinsiza kusebenza kungezinye zezinto ezisiza ukunqanda abantu abaningi ukuthi balandele lo mkhakha. Ethula inkulumo yakhe, oyinhloko yalomyango uMnuz. Mduduzi Zungu uthe inhloso ngqangi yale ngqungquthela ukucubungulisisa izingqinamba abantu ababhekene nazo emkhakheni wezokwakha, uqhube wathi bahlose ukuthola izisombululo kule ngqungquthela. “Lona umkhakha obaluleke kakhulu, yingakho kumele sithathe igxathu lokuwuthuthukisa. Kule ngqungquthela sizobhekisisa ngesingakwenza ukuqinisekisa ukuthi abesifazane abakuwo lo mkhakha bayahlomula ukuze bezosiza ukufukula umnotho wezwe lethu,”kusho u Zungu. Oyilungu lesishayamthetho sesifundazwe u Mhlonishwa Mbali Frazer uthe bazibophezele ukwenza konke okusemandleni ukuze lesi sifundazwe sizoba ngesisimamayo. “Inselelo isele kithina, sizimisele ukuqinisekisa ukuthi abantu besifazane baba yinsika ekwakheni lesi sifundazwe kanye nezwe lethu. Sizokwenza konke okusemandleni ukubeseka ukuze bezophumelela kulo mkhakha,” kusho u Frazer. Usekela Meya kumasipala wesiFunda iLembe uCllr. Dolly Shandu uthe sekuyisikhathi sokuthi abantu besifazane bayeke ukubukelana phansi bebodwa. “Uhulumeni obusayo ukuqaphele ukuthi kunegebe phakathi kwabantu besifazane nabantu besilisa emkhakheni wezokwakha, sifisa ukulivala leli gebe. Kodwa lokho ngeke kwenzeke uma abantu besifazane besabukelana phansi bebodwa, sikhuthaza ukubambisana nokwesekana kubantu besifazane ukuze sizophumelela sonke ngokulingana. Sinezinhlelo zokweseka ngoxhaso lwezimali abesifazane abakulo mkhakha. Sifuna ukubona iphela inkolelo yokuthi umkhakha wezokwakha ungowabantu besilisa kuphela, sizokwenza okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi bonke osomabhizinisi besifazane abasha kulo mkhakha bayasimama,” kusho uShandu. Le ngqungquthela beyihanjelwe i KZN Master Builders Association, Construction Education and Training Authority (CETA), Manufacturing, Engineering and Related Services Sector and Training Authority (MERSETA) ne South African Housing and Infrastructure Fund.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


IKHASI 4

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

SEPTHEMBA 2019

iNdwedwe nohlelo lwamanzi olubiza izigidi zamarandi

Amalungu omphakathi abehambele umhlangano wokwethulwa kwe Ndwedwe South System Refurbishment MAKHOSI MNGOMA ILINGANISELWA ku R30 million imali ezosetshenziswa ukulungiswa kwe Ndwedwe South System Refurbishment ngonyaka wezimali ka 2019/2020, lolu hlelo kulindeleke ukuba luhlomulise u wadi 9, 10, 11, 12, 13, 16 no 19 kumasipala waseNdwendwe. Lolu hlelo lokuhlinzeka ngamanzi lwethulwa ngokusemthethweni emhlanganweni owawusenkundleni yezemidlalo

eSonkombo. Ngalolu hlelo kuhloswe ukuvuselelwa kohlelo lwamanzi lwase Nkwambase nase Sonkombo. Abantu abalinganiselwa ku 16 698 abaphuma emakhaya angu 2 783 ku wadi 9 kuya ku wadi 19 kulindeleke ukuba bahlomule kulolu hlelo. Ekhuluma emhlanganweni womphakathi, uCllr. Siduduzo Gumede oyiMeya yase Ndwedwe uthe lolu hlelo kwakumele lwethulwe nyakenye kodwa ngenxa yezingqinamba ezithile lugcine seluthulwa kulo nyaka.

“Usonkontileka obezokwenza lo msebenzi ubesevele eseqokiwe wanikezwa nethenda yokwenza lo msebenzi. Kusithathe izinyanga eziyisithupha ukuqala kabusha lolu hlelo,” kusho u Gumede. Le phrojekthi kulindeleke ukuthi iphakele izindawo ezimbili, iNkwambase ne Sonkombo. Enye ingxenye yomsebenzi eNkwambase izothinta ukulungiswa kwamapayipi asuka kwi Nkwambase Booster Pump Station eya eSonkombo Pump Station.UGumede

uthe lolu hlelo bazophinde balusebenzise ukuqedela imisebenzi engaqedwanga, uthe lokhu kubala ukuqedela ukufakwa kuka gesi nokwakhiwa kwezizinda zokuhlanza amanzi. “Lolu hlelo silindele ukuthi luphothulwe esikhathini esingangonyaka, sizosebenzisa lolu hlelo ukuqedela izinhlelo zentuthuko ezazisale zingaqediwe. Usonkontileka ukuqinisekisile ukuthi amathuba omsebenzi ayi-15 azovuleka kulolu hlelo,” kuchaza u Gumede. UGumede uthe iSizabonke Civils cc ne Pilcon Projects ibona abazobe bephethe lolu hlelo, uthe nosonkontileka abancane baseNdwedwe bazothola ithuba lokusebenza kulolu hlelo. INkosi yendawo yaKwaNyuswa Inkosi Sifiso Ngcobo uthe ukubekezela kwabantu bomphakathi wase Ndwedwe kuzale impumelelo, uthe umphakathi kumele ulinde ngoba uhulumeni ngeke ulethe izethembiso zawo kanye kanye kodwa okubalulekile ukubekezela. “Kuyiqiniso ukuthi uhulumeni ngeke waletha izethembiso zawo ngesikhathi esisodwa sibonga abantu bakulo mphakathi ngokubekezela. Ekugcineni ukubekezela kwawo sekuzale impumelelo,” kusho u Ngcobo. Lolu hlelo kulindeleke ukuthi lufake ukuqedwa kokwakhiwa kweNdwedwe Wastewater Treatment Works ephakela uwadi-15. Lolu hlelo kulindeleke ukuthi lubize imali elinganiselwa ku R30 434 000 seluphelele lonke.

Ube yimpumelelo umcimbi wokugubha eyabesifazane eMandeni TEBOGO SIBISI UMASIPALA waseMandeni ubambisene ne WDB Trust ugubhe ngempumelelo inyanga yabantu besifazane eSibusisiwe Hall ngomhlaka 22 Agasti 2019. Izinkumbi zabesifazane abaqhamuka ezindaweni ezakhele lo Masipala babuthelane kulo mcimbi obekuhloswe ngawo ukuzodingida izinkinga ezibhekene nabantu besifazane emiphakathini usuku nosuku. Lo mcimbi ubufana neminye imigubho yomhlaba wonke wokuqhakambisa igalelo labantu besifazane emiphakathini eyehlukene ngaphansi kwesiqubulo esithi: “25 Years of Democracy: Growing South Africa Together for Women’s Emancipation”. Ezinye zezinto ebezidingidwa kulo mcimbi ukwethulwa kwezinhlelo ezizokwelekelela abesifazane abavela kuwo wonke amazinga empilo kanye nokuvulela abantu besifazane amathuba ayingqayizivele ukuze bezokhula ezinhlakeni

ezahlukene. Obambe esobuMeya eMandeni u Cllr. Phindile Sishi ushayele ihlombe uMengameli wakuleli uMnuz. Cyril Ramaphosa kanye noNdunankulu waKwaZulu-Natali uMnuz. Sihle Zikalala ngokunika abesifazane izikhundla ezisemqoka kwiKhabhinethi likaZwelonke nelesiFundazwe. “UMengameli kanye noNdunankulu waKwa Zulu-Natali sebesikhombisile indlela yokuthi abesifazane banawo amava okuhola izikhundla ezibalulekile. Kumele silandele ezinyathelweni zabo siqinisekise ukuthi Siyakhula isibalo sabantu besifazane abangabaholi, kumele siphume kulento ethi kukhona izikhundla ezingeke ziphathwe abantu besifazane ngoba kungezabantu besilisa” kusho u Sishi. Kwezinye zezicukuthwane ebezihambele lo mcimbi kubalwa obambe eseMeya kuMasipala waKwaDukuza uCllr Dolly Govender, isekela Meya likaMasipala we iLembe uCllr Dolly Shandu, uDj Cndo kanye no Dudu Khoza woKhozi FM.

Abesifazane ababehambele umcimbi wokugubha inyangayabo eSibusisiwe Hall eMandeni

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


The South African road network exceeds 747 000 kms in total The South African road network exceeds 747 kms in the total length, making it the longest road network in 000 Africa and 10th length, making it the longest road network in Africa and the 10th largest in the world. At SANRAL we appreciate that our network largest inthe thekey world. At SANRAL appreciate competitiveness that our networkin is one ofin contributors towe our largest the world. At SANRAL wecountry’s appreciate that our network is one of the key contributors to our country’s in The South African road network exceeds 747competitiveness 000 kms in total markets. isglobal one of the key contributors to our country’s competitiveness in global markets. length, making it the longest road network in Africa and the 10th

global markets. largest theKwaZulu-Natal’s world. At SANRAL we Edgecombe appreciate that our network Projectsinlike Mount interchange, Projects like KwaZulu-Natal’s Mount Edgecombe interchange, isthe one of theincrementally key contributors to our country’s in longest launched bridge in the competitiveness southern Projects like KwaZulu-Natal’s Mount Edgecombe interchange, the longest incrementally in theofsouthern global markets. hemisphere, guarantee ourlaunched country abridge high level mobility the longest incrementally launched bridge in of themobility southern hemisphere, guarantee our country a high level for people and goods transportation. The new four-level hemisphere, guarantee our country The a high level of mobility for people and goods transportation. new four-level interchange provides at Mount least two lanes on each of the Projects like facility KwaZulu-Natal’s Edgecombe interchange, for people and goods transportation. The new four-level interchange facility provides at least two lanes on each of the major movements. It includes the implementation directional the longest incrementally launched bridge in theofsouthern major includes the implementation of directional interchange facilityIt provides at least twosignalisation, lanes on each of the ramps,movements. eliminating the need for controlled thus hemisphere, guarantee our country a high level of mobility ramps, eliminating the need for controlled signalisation, thus major movements. It traffic includes the implementation of directional ensuring free flow of in all directions. This four-level is world-class for people and goods transportation. The new ensuring free that flowlinks of traffic allcontrolled directions. This is world-class ramps, eliminating the needin for signalisation, thus infrastructure South Africa to the future. interchange facility provides at least two lanes on each of the infrastructure that links South Africa to the future. ensuring free flow of traffic in all directions. This is world-class major movements. It includes the implementation of directional SANRAL. Beyond Roads. infrastructure that links South Africa to the future. ramps, eliminating the need for controlled signalisation, thus SANRAL. Beyond Roads. ensuring free flow of traffic in all directions. This is world-class SANRAL. Beyond Roads. infrastructure that links South Africa to the future. www.sanral.co.za

SANRAL. Beyond Roads. www.sanral.co.za Reg. No. 1998/009584/30 An agency of the Department of Transport. Reg. No. 1998/009584/30 An agency of the Department of Transport.

BLUEPRI

BLUEP BL

A WORLD-CLASS DESERVES A WORLD-CLASS WORLD-CLASS PROVINCE PROVINCE DESERVES A PROVINCE DESERVES WORLD-CLASS WORLD-CLASS INFRASTRUCTURE. INFRASTRUCTURE. WORLD-CLASS INFRASTRUCTURE. A WORLD-CLASS PROVINCE DESERVES The South African road network exceeds 747 000 kms in total WORLD-CLASS INFRASTRUCTURE. length, making it the longest road network in Africa and the 10th


IKHASI 6

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

SEPTHEMBA 2019

ISANTACO inikele ngemifaniswano yezikole kubafundi

Othisha, izikhulu ze SANTACO kanye nabafundi base Ikusasalentsha Primary School abahlomule ngesikhathi i SANTACO inikela ngemifaniswano yesikole. MAKHOSI MNGOMA ISouth African National Taxi Council inikele ngemifaniswano yesikole kubafundi abaqhamuka ezikoleni ezihlukene ezingaphansi kwesiFunda iGreater North.

Ngalolu hlelo lwaminyaka yonke, i SANTACO Kwa Zulu-Natali ithe izimisele ukuqhubeka ibambisane nabazali babafundi abahlwempu.OnguShlalo weSANTACO ngaphansi kweGreater North Region uMnuz. Sifiso Mthethwa

uthe bazimisele ukuhlangabeza abazali abentulayo ngemifaniswano yesikole yezingane zabo ukuze zizokukhuthalela ukuya esikoleni. Uthe bonke ososeshini bamatekisi abangaphansi kwe SANTACO baqhuba lolu hlelo ngenhloso yokubuyisela emphakathini. “Bonke ososeshini abangaphansi kwe SANTACO banalo lolu hlelo lokubuyisela emphakathini ngokuthengela abantwana abentulayo imifaniswano yesikole. Sinazo futhi izinhlelo zokuhambela amakhaya lapho kugcinwe khona abantu abadala ukuyonikela ngezipho abasuke bezidinga kakhulu ngoba ngaphandle komphakathi ngabe imboni yethu yamatekisi ayenzi nzuzo,” kusho u Mthethwa. Obemele Umnyango wezemfundo ngaphansi kweDurban North West Circuit uNkk Thuli Mbanjwa onguthishanhloko wase J.E Ndlovu High School KwaMashu uthe izandla zedlula ikhanda ngoxhaso abaluthole kwi SANTACO, uMbanjwa ugqugquzele osomabhizinisi ukuba babambe iqhaza ekuthuthukiseni izinga lezemfundo. “Sidlulisa ukubonga okukhulu ngoxhaso esiluthola kwi SANTACO siyabonga ukuthi bakubonile ukubaluleka kokweseka ezemfundo. Sithanda ukunxusa nabanye osomabhizinisi ukuba basike iphethini kokwenziwe u SANTACO ngoba uma bexhasa ezemfundo, lokho kusho ukuthi ikusasa lamabhizinisi abo liphep-

hile,” kusho uMbanjwa. Omunye wabafundi ohlomule ngomfaniswano kusukela ezicathulweni kuya ejezini uSanele Mdlalose owenza ibanga lesihlanu, uthe isimo ngeke sisafana ngoba usenawo umfaniswano ophelele wesikole. “Ngijabule kakhulu ngoxhaso lwe SANTACO, isimo ngeke sisafana njengoba sengizokwazi ukushintshaumfaniswano wami omdala, ngidlulisa ukubonga ngoxhaso lwe SANTACO,” kusho uMdlalose. Zibalelwa kwezingama 238 izingane ezithole uxhaso lwemifaniswano yakwa SANTACO kulonyaka Kanti nyakenye zazingama-460 izingane ezathola uxhaso. Lolu hlelo lwe SANTACO lwaqala eminyakeni eyisithupha eyedlule ezigcemeni zayo ezingu 16, kanti babalelwa ezi-10 000 abahlomulayo kulo hlelo isifundazwe sonke.

“Bonke ososeshini abangaphansi kwe SANTACO banalo lolu hlelo lokubuyisela emphakathini ngokuthengela abantwana abentulayo imifaniswano yesikole.”

iHambe kahle eyesimo sezulu KZN TEBOGO SIBISI IHAMBE kahle ingqungquthela yokudingida ngezindlela zokugwema umthelela ongemuhle obangelwa ukuguquguquka kwesimo sezulu ebibanjelwe esifundazweni saKwaZulu-Natali ngenyanga edlule. Le ngqungquthela ilandela isibhicingo esenzeka ezinyangeni ezimbalwa ezedlule Kwa Zulu-Natali esadala umonakalo kwingqalasiz-

inda saphinde sadlula nemiphefumulo yabantu ababalelwa ku 71. Umonakalo owadalwa yilesi sibhicongo ulinganiselwa ku R1.1 billion. Ukungakheki kahle kwezindlu yikho okusolakala ukuthi kwaba umthelela wokubhidlika kwezakhiwo eziningi ezashiya izinkumbi zabantu zingenawo amakhaya. UNdunankulu wesifundazwe sa Kwa Zulu-Natali uMnu Sihle Zikalala uthe ukushisa ngokweqile komhlaba (global warming) nakho kudlala indima enkulu ekuguquguqukeni kwesimo sezulu. Ekhuluma kule ngqungquthela, uZikalala uthe ukunciphisa ukuguquguquka kwesimo sezulu kumele kube umkhuba wansuku zonke. “Sisalelwe yinselelo yokuqinisa izinhlelo zokunciphisa lesi sihlava sokuguquguquka kwesimo sezulu esibhekene naso. Sihlela ukuqinisa lezi zinhlelo kohulumeni basekhaya, kanjalo nasezikoleni siyafisa ukubona lokhu kuba yivangeli elishunyayelwa nsukuzonke.” kuchaza uZikalala. UZikalala uthe umthelela ongemuhle wokuguquguquka kwesimo sezulu ubonakala ngokun-

UNdunankulu wesifundazwe sa Kwa Zulu-Natali uMnuz Sihle Zikalala ngesikhathi ethula inkulumo kwi ngqungquthela ngokuguquguquka kwesimo sezulu. cipha kwezinhlanzi ezaziwa ngama sardines. Uthe ngo-2003 sehla kakhulu isibalo salezi zinhlanzi kwaphinda futhi ngonyaka u-2006. Le ngqungquthela ebebanjelwe eOlive Convention Centre beyihanjelwe amalungu esigungu esiphezulu sesifundazwe (PEC), abaholi abanohlonze abavela kwizinhlaka ezahlukene, izifundiswa kanye nezinhlangano zomphakathi. Ngokwabahleli bale ngqungquthela inhloso akukhona ukuzokwethula izinkulumo ezingasho lutho kodwa inhloso ngqangi ukuqhamuka nezisombululo ezizokwelekelela

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

isifundazwe ukulwa nokuguquguquka kwesimo sezulu. Esitatimendeni esikhishwe yi DA iveze ukuthi “Amabhishi aKwaZulu-Natali agcwele udoti omningi ngendlela enyantisa igazi, uhulumeni awenzi okwanele ukuxazulula le nkinga. Inkinga enkulu newumthelela kulokhu yizinhlelo zokuthuthwa kwemfucuza ezingekho esimweni. Siyethemba ukuthi uhlelo luka Ndunankulu luzoletha umehluko enkingeni esibhekene nayo yokuguquguquka kwesimo sezulu,” kusho i DA esitatimendeni.


SEPTHEMBA 2019

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 7

Kuza indumezulu yomcimbi weLadies House eThekwini

TEBOGO SIBISI ABENHLANGANO yabesifazane iMnax Smart Network bathi konke sekumi ngomumo ngomcimbi omkhulu ozothatha izinsuku ezintathu ohlanganisa amaKhasi abasifazane akuFacebook adume kakhulu ngokuthukana nokuphoxana iLadies House. Le nhlangano ithe

ithathe isinqumo sokuhlela umcimbi ozoba nezinhlelo eziningi ezihlukene abahlose ngazo ukusiza abesifazane bacobelelane ngolwazi kanye nokuzikhulisa. Omunye weKomiti labahleli balenhlangano uNkk. Samkelisiwe Khumalo-Dludla uthe bekumkhathaza kakhulu ukubona isibalo esiphezulu sabesifazane kumakhasi kaFacebook kodwa ingekho into ephathekayo eyaphambili abakhuluma ngayo. “Siqhamuke namaqhinga okuqala ngokuthi sihlele lomcimbi ovuleleke kuwona wonke umuntu wesifazane ngoba sikholelwa ekutheni kulamakhasi ziningi izinto esingazenza singabesifazane sisodwa ezingasiyisa phambili.Kulamakhasi kugcwele izifundiswa,osomabhizinisi,abafundi kanye nabantu abadinga usizo noku-

cathuliswa ezintweni abafisa ukuzenza kodwa ngenxa yokuswela amandla nolwazi bazithole bemi ndawonye nezinto abafisa ukuzenza. Sinesifiso sokubona kuguquka izinto ngalamakhasi njengoba edume kakhulu ngokuthukana,ukuthathelwana abantu besilisa kanye nokusetshenziswa kwemithi okubamba abantu abathandana nabo.Siyakuqonda ukuthi nalokho kungezinye zezinto ezisigqilazayo singabantu besifazane ezidinga ukuthi sizidingide kabanzi ekutheni sibhekana kanjani nazo. Ngalomcimbi esizoba nawo uzoba nezinhlelo eziningi ezimnandi njengoba kuzoba nohlelo lokuba nenkonzo kwelinye lamasonto eThekwini,uhlelo lokuzivocavoca,ukubuka amahlaya bese kuthi umcimbi omkhulu ozoba nabaculi kube nohlelo lokuwina imoto noMnax ngokulandela imigudu efanele esizoyisabalalisa kumasocial network.” Kuchaza uKhumalo-Dludla.

ngamalungiselelo omcimbi. Sesibheke ngamehlo abomvu ukuthi kufike usuku lo mcimbi, bonke abaculi abazonandisa kulo mcimbi bazothola ithuba lokuzicija nezingwazi eziphuma e Melika,” kusho u Miya. Kulindeleke ukuthi kugaleleke izihlabani zomculo we jazz zase Melika kule ndumezulu yomcimbi. U John

Stoddart no Syleena Johnson bayizimenywa eziqavile ezizonandisa kulo mcimbi. Kwizingwazi zase Ningizimu Afrika kulindeleke ukuthi kunandise u Judith Sephuma, Vusi Nova, Linda Gcwensa, Ntando Bangani, Steve Dyer kanye nabanye abaningi.

Konke kumi ngomumo ngomculo weJazz eMhlathuze KULINDELEKE ukuthi uhlomulise osomabhizinisi bendawo umcimbi omkhulu womculo we jazz wonyaka wesibili i-uMhlathuze Soul and Jazz Experience okubhekwe ukuthi wehluke ngezinga uma kuqhathaniswa nowangonyaka odlule njengoba kulindelwe abaculi abasezingeni eliphezulu. OnguMeya walo Mkhandlu uCllr. Mduduzi Mhlongo ethula ngokusemthethweni lo mcimbi ozoba kusasa eMhlathuze Civic Centre uthe inhloso yalo mcimbi kulo nyaka ukubungaza iqhaza elidlalwa abantu besifazane ekwakheni isizwe. “Namhlanje sibona izinhlaka eziningi eziphumelelayo ku African National Congress ziholwa abantu besifazane, okwethu kulo nyaka ngalo mcimbi ukubungaza igalelo labantu besifazane ekubumbeni isizwe sethu. Isizathu sokuthi lo mcimbi siwenze ngasekupheleni kwenyanga yabantu besifazane wukubungaza iqhaza elabanjwa abantu besifazane ababalelwa ku 20 000 abasukuma balwa nohulumeni wobandlululo,” kusho u Mhlongo. Imeya kumasipala wesifunda iKing Cetshwayo u Cllr. Nonhle Mkhulisi ubengomunye wezihambeli ngesikhathi kwethulwa lo mcimbi, uthe balindele ukuthi kuhlomule osomabhizinisi bendawo kulo mcimbi. “Leli yithuba elihle kosomabhizinisi abakhele indawo yase Mhlathuze kanye ne King Cetshwayo, silindele ukuthi osomabhizinisi bahlomule kakhulu njengoba bezobe bekhangisa ngezinto zabo kulo mcimbi. Siyathokoza ukuthi umcimbi ofana nalona uzokwelekelela ukuthuthukisa isimo somnotho kulo masipala,” kusho u Mkhulisi. Okhulumela abahleli bomcimbi iYonke Imizamo Productions uThulani Miya uthe sekumi ngomumo ngamalungiselelo omcimbi.

K W A D U K U Z A

>> UMHLELI MAKHOSI MNGOMA makhosi@sivubelaintuthuko.co.za 083 618 4252

>> IPHINI LOMHLELI TEBOGO SIBISI tebogo@sivubelaintuthuko.co.za 079 245 8462

>> INTATHELI YEZEMIDLALO THABANI MAPHUMULO trmaphumulo@gmail.com 081 794 8407

M U N I C I P A L I T Y

>> GRAPHIC DESIGNER AND LAYOUT LINDA MAZIBUKO trusouth1@gmail.com 079 535 0581

VACANCIES The KwaDukuza Municipality seeks to fill the following positions and accordingly invites applications from persons who meet the requirements as indicated. Please note that the post title and post identification number (KDM.) MUST be indicated on your application which MUST be accompanied by certified copies of your qualifications, identity document and driver’s licence where applicable. Applicants are also advised to ensure that their applications address the selection criteria in terms of qualifications, experience and any other requirements as set out in the relevant advertisement as shortlisting will be based on these selection criteria.

IWEBSITE YETHU www.sivubelaintuthuko.co.za

PLEASE NOTE THAT APPLICANTS FOR POSTS BELOW TASK GRADE 11 ARE REQUIRED TO ATTACH THE PREFERRED EMPLOYMENT OPPORTUNITY FORM OBTAINABLE FROM KDM HUMAN RESOURCES WHICH MUST BE SIGNED BY A WARD COUNCILLOR, AS PREFERENCE WILL BE GIVEN TO LOCAL RESIDENTS.

FACEBOOK sivubela intuthuko

BUSINESS UNIT: ELECTRICAL ENGINEERING SERVICES KZ292EESMW006: ARTISAN MECHANIC: (TASK GRADE 10: R 222 801.84 -R 289 195.80 P.A + TOOL ALLOWANCE)

TWITTER @sivubela intuthuko

Requirements: Trade tested artisan, Code C1 Drivers Licence (Must obtain EC1 Drivers Licence within a year from date of employment); 1-2 years’ relevant experience in diesel and petrol driven plant, machinery and vehicle.

INSTAGRAM sivubelaintuthuko

Duties: Co-ordinates controls the set-up, work in progress and completion of specialised tasks activities associated with the mechanical maintenance and repair of diesel, petrol heavy duty plant and vehicles, including monitoring and correcting the productivity and performance outputs of support personnel and, attending to routine/general administrative recording requirements contributing to the accomplishment of departmental objectives.

IKHELI LETHU B 33 Ten Acre Thembeni Groutville P.O Box 4473, Stanger4450, 270 Stamford Hill Road Unit 1 Morningside, Durban, 4000 UMA UFUNA UKUKHANGISA KULELIPHEPHANDABA , SHAYELA 031 822 2602/083 618 4252

PLEASE NOTE: 1. Applications are to be addressed to the Municipal Manager, KwaDukuza Municipality P.O. Box 72, KwaDukuza 4450, for attention the Human Resources Department and may be posted or hand delivered. (Note that hand delivered applications must be handed to the H.R Officer/Clerk, number 34 OK Mall, Chief Albert Luthuli Street, KwaDukuza, Contact No. 032 437 5153/5142 2. The Closing Date and time is 13 September 2019, at 12H00. No Applications will be accepted after the closing date and time. 3. Please DO NOT fax or e-mail applications. Please DO NOT submit applications on Z83 forms. Please NOTE THAT APPLICATIONS MUST BE SUBMITTED ON KWADUKUZA MUNICIPALITY’S APPLICATION FORM WHICH IS OBTAINABLE ON THE MUNICIPALITY’S WEBSITE (www.kwadukuza.gov.za). KwaDukuza Municipality adheres to the National Employment Equity Strategy. Post levels are subject to conversion according to the TASK Job Evaluation system. Further communication will only be with shortlisted candidates, such shortlist being confined to the candidates that best meet the requirements according to the information supplied in their CV’s. Candidates not contacted within 3 months off the closing date may consider their applications unsuccessful. Council reserves the right no to appoint. Canvasing to Councillor’s in form of gifts is prohibited. Issued by the Office of the Municipal Manager, NJ. Mdakane. 14 Chief Albert Luthuli Street, KwaDukuza, 4450 MN: 193/2019

MAKHOSI MNGOMA

SIVUBELA Intuthuko ITHIMBA LEPHEPHA

“Zonke izinhlelo seziphothuliwe

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


IKHASI 8

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

SEPTHEMBA 2019

Sivubela Intuthuko

EZEMIDLALO UHulumeni Wase-KZN Uhalalisele Abe-Mandela Marathon

IMasihambisane high izomela i-KZN kowe-Coca Cola

THABANI MAPHUMULO UHULUMENI wesifundazwe iKwaZulu Natal uhalalisele ababambe iqhaza kumqhudelwano wesishiyagalombili weMandela Day Marathon obubanjelwe eMgungundlovu ngenhloso yokubungaza uNelson Mandela. Lo mjaho osuka e-Edendale uze uyophuthulwa eHowick eMandela Capture Site, kanti lomqhudelwano wasungulwa ngonyaka ka-2012. “ Kube yimpumelelo ukubona abangu-20 000 abebebhalisele ukuba yinxenye yomjaho weMandela Day Marathon, nobusingethwe lapho kwaboshwa khona uNelson Mandela, owaboshwa iminyaka engu-57 eboshwa amaphoyisa obandlululo,” kusho uNdunankulu wesifundazwe uSihle Zikalala. Abanqone imijaho emikhulu ongu-42 km kube uMuhajr Heredin Sraj ,kwabesifazane kwaba iSofiya Shemsu Chegen bobabili abangobukudabuka ezweni lase-Ethiopia. UChegen uphule irekhodi kwabesifazane enza isikhathi esu-2:45:21. Kanti laba abanqobile bangabashadikazi. Abakulesifundazwe abahambe phambili kulomjaho kube uThobani Chagwe kanye noSanelisiwe Mbanjwa.“Mandela Marathon ikhombisile izinga eliphezulu ngokuhlelwa kwayo, ayigcini nje ngokuhlanganisa abantu kodwa uphinde uphakamise umnotho kanye nomasipala besifundazwe,” kusho uNgqongqoshe weziNdaba zoMdabu nokuBambisana uSipho Hlomuka. Lo mjaho obanjwa minyaka yonke kuhloswe ngawo ukubungaza iqhaza likaTata Mandela uphinde unike osomabhizinisi bendawo ithuba lokuzikuthuthukisa. Lo mjaho uphinde uthuthukise kakhulu lesifundazwe kwezokuvakasha.“Sifisa ukuhalalisela bonke abanqobile nababe yinxenye yalomqhudelwano. Kuyinjabulo enkulu ukuba yinxenye yalomjaho. Sifisa nokubonga kakhulu izivakashi ebezihambele lesi sifundazwe”. kusho iMeya yaseMgungundlovu uThobekile Maphumulo.

THABANI MAPHUMULO ISIFUNDAZWE saKwaZulu-Natali sesinompetha abasha bomqhudelwano I-COPA Coca

Cola obudlalwa yizikole eziyishumi nambili eKing Zwelithini, eMlazi ngempelasonto. Isikole iMasihambisane saseNewcastle yisona esizishaye zonke emakhanda ezinye izikole

kulo mqhudelwano onesasa ngenxa yokukhiqiza abadlali abaningi. Lesi sikole sesibekisele indawo kwizikole eziyisishiyaglolunye ezizodlala kokazwelonke nayo ezobanjelwa kuso lesi sifundazwe. IMasihambisane ibhaxabule kabuhlungu iGabi Gabi ngamagoli ayisikhombisa eqandeni, yaphinde yaqhubeka yahlula iNdlelanhle secondary ngamagoli ayisithupha eqandeni. Kowandulela owamanqamu lesi sikole sihlule kabuhlungu sinqobe ngamagoli amane kwelilodwa ngaphambi kokuba sibhaxabule iZwelibanzi yaseMlazi ngamagoli amathathu eqandeni. Le midlalo ibihanjelwe nawuKhulekani Kubheka oseyinxusa lalemidlalo ochaze lo mqhudelwano njengomcabele indlela ebholeni.“Kubuya konke ngalo mqhudelwano njengoba kuyiwona ongicabele indlela ebholeni. Kuyajabulisa ukubona iCoca Cola iqhubeka nokuthuthukisa ibhola.Siyabahalalisela ompetha abasha sesilinde ngabomvu ukiubona kwekazwelonke,” kusho Kubheka.

Kukhonye iTheku kweyendabuko THABANI MAPHUMULO KUKHONYE iTheku emidlalweni yendabuko yakulonyaka ebibanjelwe enkundleni yezemidlalo iKandahar, eMnambithi kule nyanga. Sekuhlanganiswe konke iTheku likwazile ukuqoqa amaphuzu angu-28, lalandelwa isifunda

iKing Cetshwayo yona ethole amaphuzu angu-16 kwathi uMgungundlovu walala

indawo yesithathu ngamaphuzu ayishumi nanhlanu. Kwimikhakha yezikole isiyingi saseMlazi siphume phambili ngamaphuzu angu-17, salandelwa uMkhanyakude ngayi-11 kwathi isithathu kwaba uMzinyathi ngayisishiyagalolunye. Le midlalo ibilungiselela ekazwelonke ezobanjelwa ePolokwane, eLimpopo mhlaka 22-29 kuMandulo. Isifundazwe

sesike sakwazi ukunqoba le midlalo kuzwelonke nakulokhu sinethemba ukuthi singakuphinda lokho.

Le midlalo ibihlelwe uMnyango wezeMidlalo esifundazweni ngokubambisana nomasipala uThukela, Alfred Duma Kanye noMkhandlu wayo lemidllao. Amaqembu asuka komasipala abayi-11 esifundazweni iKwaZulu Natal bancintisane kwimidlalo efana nengqathu, induku, amagende, khokho, umlabalaba Kanye neNcuva. USihlalo wekomiti lezemidlalo ephalamende u-Amanda Bani-Mapena uthi uchazekile ngekhono alibonile entsheni. “Ngichazekile ngekhono nokuzimisela okukhonjiswe yintsha kulemidlalo. Ngiyethemba ukuthi abadllali abazoqokwa bazokwazi ukuvikela isicoco eLimpopo ngenyanga ezayo,” esho. UBani-Mapena uphinde waveza ukuthi bazofaka isicelo kuhulumeni ukuthi lemidlalo nezinsiza zithuthukiswe. “ Sijabule ukuthi lemidlalo yendabuko isiyadlalwa ezikoleni. Inhloso yethu ukuqinisekisa ukuthi le midlalo iyadlalwa kuzona zonke izikole ukuze ijwayeleke. Sizoxoxisana noNgqongqoshe walo mnyango uMavimbela Kanye nezinhlaka ezahlukene ukuqinisekisa ukuthi iyathuthukiswa le midlalo ngoba intsha ingakwazi ukuziphilisa ngayo,” kuphetha uBani Mapena.

031 828 0433 / 082 597 6669

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.