Sivubela Intuthuko newspaper

Page 1

SIVUBELA Intuthuko

ADVERTISING: (031) 8222 602

FACEBOOK: SIVUBELA INTUTHUKO

SEPTHEMBA/OKTHOBA 2019

SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

LIMAHHALA USHICILELO 37

Uthembise ukukhulisa umnotho uMeya udaba kukhasi: 3

6

“Sizibophezele ukusebenzisa eyabakhokhibentela ngendlela’’ KAUNDA

7

“Akulwiswane nokuhlunyezwa kwabesifazane nezingane”ISILO

8 UKhuse uthi uzoqhubeka nokuvundulula ikhono e-KZN

Ayihlome ihlasele madoda ikhasi 7

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


IKHASI 2

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

SEPTHEMBA /OKTHOBA 2019

Sibonga uxhaso esakwaHlengwa TEBOGO SIBISI

SEZIBONGE uxhaso esiluthole kwinhlangano yabalimi bamoba izintombi ezihlolwa ngaphansi kwesizwe saseThoyane eMgababa esiholwa iNkosi uHlengwa.Inhlangano iSAFDA ikhiphe uxhaso lwemali elinganiselwa ku R20 000 wamarandi ngenhloso yokuxhasa izintombi ebeziya eMkhosini woMhlanga obungesonto eledlule eNyokeni kwaNongoma ukuze zizokwazi ukuthenga izinsiza ebezidengeka uma befika eSigodlweni.Omunye wezikhulu eziphezulu zalenhlangano uBusisiwe Ngidi Uthe yize besayinhlangano esayintsha emele kakhulu abalimi abamnyama Kodwa bakubone kubalulekile ukusukumela phezulu isicelo sezintombi ezihlala esigodini saseThoyane ngoba bakholelwa ekutheni ukuhlolwa kwezintombi kubalulekile entsheni.”Sathola incwadi yesicelo evela ngaphansi kwalesigodi sabona kungcono sifake isandla ukuze abantwana bezokwazi ukuba nezinsiza ezifanele ohambeni lwabo.Njengo-SAFDA sinaso isifiso sokuxhasa imiphakathi uma kukhona ezikwenzayo ngoba sikholelwa ekutheni

kubalulekile ukubuyisela emphakathini ukuze sizokwazi ukwakha isizwe siyephambili” Oyiqhikiza lezintombi zakwaHlengwa uNoxolo Gumede (24) uthe bayakujabulela ukwesekwa abakuthola endaweni kanye nasezinkampanini ezizimele.”Kusinika ugqozi lokuthi siqhubeke nokuziphatha kahle uxhaso esilutholayo minyaka yonke uma siya eMkhosini woMhlanga.Sibonga kakhulu kuNdlunkulu wethu kwaHlengwa ngokusenzela nomcimbi obewendlalela uhambo lwethu olubheke eNyokeni. Ngyafisa ukugqugquzela nabantu abasha abasahleli emakhaya bengahlolwa ukuthi basukume bazicoshe ngoba loluhambo lusivikela ekutholeni izifo zocansi kanye nokukhulelwa singakafiki isikhathi.”kusho uGumede. Omunye woMama abahlola izontombi zakulendawo uNkk. Tholiwe “Big Mama” Hlophe uthe uzimisele ngokuqhubeka nalo msebenzi kuze kube sekugcineni.”Ukwenza lomsebenzi kumnandi ngoba kubalula ukuxoxisana nabantwana kusukela beneminyaka eyi-6 sibaxwayisa ngokuthi bengavumeli omalume noma obaba babathinte isitho sangasese ngenxa yokuthi seziningi

Izintombi zesigodi ithoyane eMgababa izogameko ezibikwayo zokudlwengulwa kwezingane emndenini yazo bese kuyafihlwa.Isifiso sethu ukuthi abantwana baziphathe kahle kuze kuba

kufika esigabeni lapho bethola khona umshado kanye nokuzimela futhi bavikeleke ekutholeni izifo.”

Basayinde isivumelwano oMasipala be-Lembe “Kubalulekile ukubhekelela labo abahola kancane njengoba iningi labo lingenabo ubunikazi bomhlaba kanye namatayitela, lokho kwehlisa inani lempahla yabo,” THABANI MAPHUMULO OMASIPALA ababili okungowaseMandeni noK waDukuza basayine isivumelwano sokusebenzisana neWorld Bank Group ngaphansi kohlelo lweVuthela Local Economic Development Programme. Lesi sivumelwano kulindeleke ukuthi sisize kakhulu ukuvikeleka kubanikazi bezindlu kanye noMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu ngaphansi kwesifunda iLembe. Lobu budlelwano buzosiza ukuqhamuka nezindlela ezilula zokunikezela ngamatayitela kulabo abahola kancane abanezindlu zoxhaso lukahulumeni (RDP). Uhlelo lokunikezela ngamatayitela luzoletha isithunzi nakwisizukulwane esahlukumezeka ngezikhathi zohulumeni wobandlululo. Lokhu kuzophinde kusize nomphakathi ukuthi ukwazi ukuhlala uphinde utshele izimali emhlabeni wawo, kuphinde kusize nomnyango wezokuhlaliswa kwabantu ukuhambisa izinsiza ngendlela. INingizimu Afrika ikeliswe ku-106 kumazwe omhlaba ngaphansi kweWorld Bank Business , kumazwe angu-190 ngokukhokhwa kwentengo ephezulu kwimpahla. Ngenkathi bobabili labomasipala basayine isivumelwano emcimbini obububanjelwe eLuthuli Museum bobabili omeya bakwamukele besho ukuthi lesi sivumelwano sizothuthukisa izimpilo zabantu. “Kubalulekile ukubhekelela labo abahola kancane njengoba iningi labo lingenabo ubunikazi bomhlaba kanye namatayitela, lokho kwehlisa inani lempahla yabo,” kusho ibamba lemeya yakwaDukuza uDolly Govender.

Kusukela kosobunxele Municipal Manager we Lembe u Mnuz. Geoff Khumalo, Mayor ye Lembe Cllr Siduduzo Gumede, Municipal Manager Mandeni Mr Sizwe Khuzwayo, KwaDukuza Municipal operation, Mnuz. Adamou Labara, Oyinhloko ye Economic Development and cooperation office wase Tshwane, NkK Franziska Sporri, oyisekela mayor wakwaDukuza u Cllr Dolly Govender kanye no sekela Mayor Mandeni Cllr Phindile Sishi “Lolu hlelo luhambisana nokuzimisela komasipala waseMandeni ukuthuthukisa izimpilo zabantu ngohlelo lwezindlu. Ukunikezelwa ngobunikazi bezindlu kuzosiza kakhulu umphakathi naban-

ikazi bezindlu,” kusho ibamba lemeya yaseMandeni uPhindile Sishi. Isikhulu ngaphansi kwe-International Finance uMnuz. Adamou Labara uthe,” Ukuqhamuka nohlelo kwizindlu ezingambi eqolo

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

kubalulekile endaweni okusebenza kuyo IFC ngoba sikholelwa ukuthi kuyinto esemqoka ukunciphisa ukungalingani kubantu.” esho.


SEPTHEMBA /OKTHOBA 2019

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 3

Uthembise ukwukhulisa umnotho uMeya

TEBOGO SIBISI UMEYA osanda kuqokwa kumasipala waseMandeni uCllr. Thabani Phowayinkosi Mdlalose usethembise ukuthi bazoqinisa amaxhama ukuqinisekisa ukuthi kugxilwa kakhulu ukulungisa izinto emafemini akwaSthebe Industrial ukuze kuzotholakala izindlela zokuthuthukisa umnotho wendawo kanye nokudala amathuba emisebenzi entsheni.UMdlalose usho kanje kade ethula inkulumo yakhe emva kokufungiswa ngokusemthethweni izolo (ngoLwesine) ehholo loMkhandlu eMandeni.

“Ngithanda ukuqinisekisa umphakathi ukuthi zonke izinhlelo zentuthuko ezikhona sizoziphothula maduze ukuze sizokwazi ukuqhubeka nezinye ezinhlelo ezisasalele emuva.Ngizimisele ukusebenza ngokubambisana neziphathimandla engizificile futhi ngeke ngikhohlwe ukubonga kuCllr Sishi obesebambe isikhathi eside kulesikhundla eqinisekisa ukuthi ukusebenza koMkhandlu akuphazamiseki ngenkathi lomkhandlu usabhekene nezinkinga.”kusho uMdlalose UMdlalose ube esegxeka izigameko zakamuva zokuhlunyezwa kwabes-

fazane nokudliwa kwezidakamizwa emphakathini wathi kumele kulwisane nakho.”Kuyasikhathaza njengabaholi bomphakathi ukuhlezi sivuka ngezindaba ezithinta ukuhlukunyezwa kwabesfazane nezingane ngesihluku sizoqhamuka nezinhlelo zansukuzonke ezizolwisana nalesisihlava ukuze sizokwakha isizwe sethu siye phambili.Ubugebengu ezindaweni esihlala kuzomele siqinisekise ukuthi silwa nabo ngezindlela eziningi sibambisene namaphoyisa ngoba nawo ngeke akwazi ukwenza lomsebenzi wokunqanda ubugebengu ewodwa kudinga ukuthi

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

nathi sisukume sibambisane nawo.” Kuzokhumbuleka ukuthi ukuqokwa kukaMdlalose njengoMeya kuza emva kokukhishwa kalayo obeyiMeya uCllr. Sphesihle Zulu obese kusele aqede ihlandla lesibili kwavela izinsolo zenkohlakalo kanye nokungahambisi ngendlela intuthuko emphakathini waxoshwa.Emva kokuxoshwa kwakhe kwabe sekubamba loyo obengusekela Meya uCllr Sishi kwaze kwaba kufika isikhathi sokuqokwa kameya omusha izolo (NgoLwesine)


IKHASI 4

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

SEPTHEMBA /OKTHOBA 2019

Kwethulwe izinhlelo zenyanga yamagugu eThekwini

SKHUMBUZO NZUZA

UMNYANGO wezamaPaki nokunakekelwa kweMvelo kuMasipala weTheku wethule ngokusemthethweni zonke izinhlelo onazo zokugubha inyanga yamagugu endaweni yase Chastworth,Lomnyango wethule izinhlelo okubalwa ezemidlalo,ukuqhakanjiswa kokongiwa kweMvelo,ukuqhakanjiswa kwesiko lokufunda Kanye nokukhumbula abantu ababambe iqhaza emlandweni nobumbano kwinhlalo emiphakathini ngenhloso yokuqhakambisa inyanga yamasiko. INhloko kulo Mnyango uMhlonishwa Thembinkosi Ngcobo ngesikhathi ekhuluma endaweni yokugcina imvelo ese Chartsworth ebizwa ngokuthi kuse Silverglan Natural Reserve lapho kungcinwe khona izihlahla zokwelapha nezilwane ugxeke abantu abangena ngendlovuyangena ezindaweni zikamasipala lapho kugcinwe khona imvelo bakhe imijondolo ngenkani. “Izindawo zokugcina amagugu zibalulekile kwezokuvakasha mungabheka lendawo esikuyona indawo ebukeka iyihlathi kodwa eminyakeni ezayo izobe isikwazi ukuheha abantu abazoshada lapha kwenziwe imicimbi emikhulu abantu balendawo bazohlomula kakhulu ngemisebenzi,Ngonyaka owedlule kulendawo kwasuka uthuthuva umphakathi ufuna ukwakha ngenkani kulendawo kwacekeleka phansi nempahla yabasebenzi bakulendawo okuyinto engeyinhle ngoba kunezinto ezingama-

UMnuz. Thembinkosi ngcobo womnyango wezokungcebeleka namapaki ngaphansi kamasipala wetheku gugu esizigcinile kulendawo ezifana nemithi yokwelapha abelaphi bendabuko bathenga la eminye imithi.Kuningike esizokwenza okuthinta amasiko nokunye esicela umphakathi ubeyingxenye yeminye imicimbi yethu ngoba si-

zobe sifuna uqhakambise ngamakhono onawo futhi uphinde ufunde okuningi okwenziwa iloMnyango njengxenye yePRC Month’’,kubeka uNgcobo. UNkk Zodwa Msweli okhulumela indawo yokugcina amagugu eSilverglan

uthe abantu abaningi abadinga usizo lwemithi yokwelapha yesintu bayasizakala kakhulu kulendawo yize kuye kuphoqe ukuthi bayithenge okanye bathenge izithombo yaye kozikhulisela bona.

Udlulise amazwi enduduzo uNgqongqoshe SKHUMBUZO NZUZA UNGQONGQOSHE eMnyangweni wezukuBusa ngokuBambisana neziNdaba zobuHoli beNdabuko kulesiFundwazwe uzwakalise ukushaqeka okukhulu ngokudlula emhlabeni kweNkosi uVelemandleni Biyela kuMkhandlu wobukhosi baKwaYanguye kwiSifunda iKing Cetshwayo District,ekhothame ngesonto eledlule ineminyaka engu-81,ngemva kokudunguzela isikhathi esifushane. UNgqongqoshe Sipho Hlomuka udlulise amazwi enduduzo eMndenini nakwiSizwe sonke saKwaBiyela, ‘‘Inkosi uBiyela ibinobuhlakani obuyisimanga ekwakheni ubudlelwano obuhle phakathi kobuholi kukaHulumeni nobuholi beNdabuko,kufana nokuthi sishiwe inqolobane ebesincela kuyona ulwazi ongeke uluthole ngisho esikoleni,Inkosi uBiyela ifake igx-

Inkosi Velemandleni Biyela

alaba ekuletheni intuthuko emphakathini owakhele uMasipala waseMthonjaneni futhi ibingumntu obethanda ukuthula nobumbano emphakathini’’,kusho uHlomuka.UNgqongqoshe uphinde wajuba ithimba elikhethekile elivela eMnyangweni ukuzozimazisa uMndeni nokulungiselela ukutshalwa kweNkosi. Phezu kwalokho uNgqongqoshe uHlomuka uhlabe wahlikiza ukugaselwa kucekelwephansi ngomlilo amaHhovisi obuKhosi baKwaNgcobo endaweni yaseMavela eNdwedwe,uNgqongqoshe uthi lokhu kuphazamisa ukuhanjiswa kwezidingo zomphakathi ngoba lendawo ibibamba iqhaza elikhulu ekusingatheni imihlangano ethinta intuthuko yomphakathi,wanxusa umphakathi ukuthi ubikele amaphoyisa ngokushesha mangabe kunomkhondo onawo ukuze umthetho uzothataha indawo yawo bajeze abenze lokhu.

‘‘Inkosi uBiyela ibinobuhlakani obuyisimanga ekwakheni ubudlelwano obuhle phakathi kobuholi kukaHulumeni nobuholi beNdabuko,kufana nokuthi sishiwe inqolobane ebesincela kuyona ulwazi ongeke uluthole ngisho esikoleni

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 5 BLUEPRINT 3078/E

SEPTHEMBA /OKTHOBA 2019

A WORLD-CLASS PROVINCE DESERVES WORLD-CLASS INFRASTRUCTURE. The South African road network exceeds 747 000 kms in total length, making it the longest road network in Africa and the 10th largest in the world. At SANRAL we appreciate that our network is one of the key contributors to our country’s competitiveness in global markets. Projects like KwaZulu-Natal’s Mount Edgecombe interchange, the longest incrementally launched bridge in the southern hemisphere, guarantee our country a high level of mobility for people and goods transportation. The new four-level interchange facility provides at least two lanes on each of the major movements. It includes the implementation of directional ramps, eliminating the need for controlled signalisation, thus ensuring free flow of traffic in all directions. This is world-class infrastructure that links South Africa to the future. SANRAL. Beyond Roads.

www.sanral.co.za Reg. No. 1998/009584/30 An agency of the Department of Transport.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


IKHASI 6

SEPTHEMBA /OKTHOBA 2019

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

“Sizibophezele ukusebenzisa eyabakhokhibentela ngendlela’’KAUNDA SKHUMBUZO NZUZA

UMeya weTheku uCllr. Mxolisi Kaunda

IMEYA etsha kuMasipala weTheku uKhansela Mxolisi Kaunda uthi abasebenzi balo masipala abasafuna ukuzibandakanya nenkohlakalo abathathe umhlaphansi kungenjalo bazogugela ejele. UKaunda usho kanje ngesikhathi ekhethwa njengeMeya kuMasipala weTheku eHholo ledolobha iCity Hall. UKaunda uthathe izintambo kwiMeya eyaqokelwa kulesikhundla ngonyaka ka 2016 ngemva kokhetho loHulumeni basekhaya,uKhansela Zandile Gumede ohoxiswe yiqembu le African National Congress kulesikhundla kulandela ukuthi iqembu lidalule ukuthi alanelisekile ngendlela izinto ezihamba ngayo kulo masipala okubalwa kuzona ukuhambisa ngesivinini intuthuko emphakathini. Obekade eyiMeya uKhansela Gumede ubekhona naye kulo mcimbi wazwakalisa ukuthi uzosebenzisana nobuholi obusha obukhethiwe kwazise usazoqhubeka ahlale emihlanganweni yoMkhandlu. Ekhethwa kulesikhundla uKaunda uveze ukuthi akukona okokuqala ekulomasipala kodwa lokho akusho ukuthi wazi yonke into,wathi uyazibophezela ekusebenzeleni uMphakathi ngokuzikhandla kuleminyaka emibili azoyiphatha njengeMeya. ‘’Ngizosebenzisana nawowonke amaqembu ezepolitiki akhona kumasipala ngiphinde ngincele ulwazi kubuholi obukade busemandleni,into ebalulekile ukuthi siqinisekise ukuthi intuthuko iyaya emphakathi,inkohlakalo sizoyisi-

phula nezimpande zayo,ngifuna sisesbenzise imali yabakhokhibentela ngokucophelela imisebenzi eminingi izokwenziwa abasebenzi abaqashwe umasipala ngeke siqashe inkampani ezizimele ngaphandle makunesimo esisiphoqayo,abantu bazoqoqelwada udoti,amanzi nogesi kumele kuhlinzekwe ngendlela efanele emphakathini,silwe nobugebengu. ITheku liyisizinda sabavakashi umhlaba wonke ngaleyondlela kumele libe yindawo ephephile.Ukuthuthuka komnotho kuyinto ebalulekile ezokuvakasha zidlala indima enkulu kulolohlangothi kodwa mangabe kuqhubeka kuvunguza umoya wokuhlaselwa kwabantu bokufika kushiswa namaloli athwala impahla kumele sazi ukuthi sixosha abatshali zimali nabavakashi,lokho kuzoba nomthelela ongemuhle kumathuba emsebenzi kukhahlameze nomnotho ngakho asibambisane sonke silwe nalesihlava ukuze umasipala wethu uzoba ngovelele emhlabeni wonke’’,kusho uKaunda. Njengoba Umbutho we-ANC wahlakaza bonke ubuholi obuphezulu kuMkhandlu weTheku kuphoqelekile ukuthi kuqokwe ubuholi obusha,isekela leMeya kube uKhansela Belinda Scott,kwesika Somlomo kwakhethwa uKhansela Weziwe Thusi kwathi kwesika Sotswebhu kwakhethwa uKhansela Sibongiseni Mkhize. AmaKhansela amaqembu aphikisayo athe ayabeseka ubuholi nobukhethiwe kodwa athi azobubheka ngeso elibanzi ukuthi akasebenzisi yini amandla awo budedengu.

Ukhuthaze intsha ngeMfundo uNdunankulu KZN SKHUMBUZO NZUZA UNDUNANKULU wesiFundazwe saKwaZulu-Natali uMhlonishwa Sihle Zikalala ukhuthaza abaholi kwezoMbusazwe netsha ukuthi bazicije ngamakhono ahlukahlukene kwimikhakha yezemfundo,uZikalala usho kanjena eNyuvesi i-University of KwaZulu Natal ngesikhathi ethweswa iziqu emkhakheni we-Exploring the Impact of Rating Agencies on South Africa’s Government and Fiscal Policies. UZikalala uthe njengomntu osebenzela umphakathi kusemqoka ukuthi ahlale ezicija ngemfundo ahambisane noguquko olwenzeka umhlaba wonke jikelele kwezoMbusazwe,’’ngaphandle kokuthi ngilwele ukuthola leziqu kodwa lokhu kuyingxenye yokukhulisa umqondo ngiwondle ngolwazi.Kule sikhathi esikusona sibone labo abaqeqeshelwe ukulinganisa umnotho

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Rating Agencies bekhombisa intshisekelo ngezindaba ezenzeka eSouth Africa.Lokho okusiphonsela inselelo nathi njengabaholi nabahlali bakuleli ukuthi sibe nolwazi olunzulu kwezomnotho. ngaphambi kokuthi ngifinyelele kwisinqumo sokwenza lezifundo ngibone igebe elikhona kwezocwaningo ikakhulukazi kubantu abasha iningi labo eliduve emakhaya neziqu mubheka ngonyaka ka-2010 ama-Rating Agencies aveze izinto ezingasithinti kangako thina njengezwe lase South Africa elisakhula futhi elisatabalasa ukuza nezinhlelo nemigomo ezosimamisa umnotho wezwe’’,kusho uZikalala. UZikalala uthole iziqu ezibizwa nge-Master of Commerce in Leadership Degree abezenza ngaphansi kweso likaDkt Emmanual Mutambara e-UKZN Graduate School of Business,lezi ziqu zilandelwa eze-Honours in Administration nazo azithole kule sikhungo ngonyaka ka 2017.


SEPTHEMBA /OKTHOBA 2019

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 7

SIVUBELA Intuthuko ITHIMBA LEPHEPHA

Ayihlome ihlasele madoda VUSI CEBEKHULU Kwinyanga ka Agasti bekugujwa inyanga yabantu besifazane ngokomlando wezwe lethu ka 1956. Kuyadabukisa ukuthi ngenkathi kugujwa futhi kukhunjulwa amaqhawekazi abamba iqhaza kulowo mzabalazo, kube nezigameko eziningi zokubulawa kwabesifazane kanye nezingane, futhi asikubeke kucace ukuthi babulawa ngabantu besilisa. Kwisihloko sami kuzwakala sengathi ngiphaka impi, cha angiphaki impi yezikhali kodwa ukwenza imbizo kuwo wonke amadoda aziqhenyayo ngobudoda bawo futhi nazimisele ukulwa nalabo guluva abacashe ngemuva kwegama lamadoda kodwa benza imikhuba emibi. Kuliphutha elikhulu ukuba sithule nje kube sengathi akonakele lutho, kodwa kube

kucacile ukuthi liyabhubha ngoba phela uma kuphela abantu besifazane isizwe siyozaleka kanjani? Ukubulawa kwabantu besifazane ngalendlela akwenzi nje ukuthi basisabe kodwa sizithola siba nezitha eziningi esihlala nazo, silala nazo, siphekelwa yizo, manje usuyabona nje nawe ukuthi sizidalela nje izitha eziningi isidingo singekho. Ngiyafisa ukubona nokuzwa amadoda aqotho emasontweni, kwizinhlangano, ezindaweni zokuzithokozisa ebanga umsindo ekukhuzeni lamanyala aqhubekayo. Angikhulumi ngoba mina nowakwami singenazo izinkinga nokungaboni ngaso linye, nathi ekhaya siyaphambana ngombono, kodwa akungigunyazi ukuba ngimbeke isandla. Madoda ayihlome ihlasele ngoba impi ihlomile lapha ngaphandle. Wena ungathula nje uthi ongathinta eyakho

ingane noma umkakho uyombulala, kanti kukade bamlimaza usesaba ukutshela wena ngoba uyazi ukuthi uzobulala umuntu uboshwe kanti futhi nguwena obeka isinkwa etafuleni. Ngakho ke ngithi nami ngelami izwi elincane, masingavumi ukuba kudicileke phansi isithunzi sethu madoda. Masingathuswa ukubizwa ngodoti ngoba vele thina asiwona udoti kodwa labo abenza lemikhuba bangodoti. Uhulumeni naye akazinuke amakhwapha, ngoba kukhona amanye amadoda anodlame lapho ezikhundleni eziphezulu kodwa kuvele kuthalaliswe nje, lokho kugcine kungasizi ekuqedeni ukufa kwabesifazane emazingeni aphansi. Angifuni ukuthi sekwanele kube sengathi kwakufanele kuqale, kodwa ngithi awuphele lomkhuba omubi owenziwa kwabesifazane. Ayihlome ihlasele madoda!!!

“Akulwiswane nokuhlunyezwa kwabesifazane nezingane”ISILO

Isilo samabandla Inkosi Goodwill Zwelithini kaBhekizulu emukela umhlanga kumntwana Cebelenkosi esigodlweni eNyokeni emcimbini womkhosi womhlanga TEBOGO SIBISI SESIHLABE ikhwelo lokulwiswana nokuhlukunyezwa kwezingane kanye nabantu besifazane iSilo samaBandla uBhejane ephuma esiqiwini kulandela

izigameko ezihlasimulisa umzimba ezenzeka esiFundazweni saKwaZulu-Natali. Izinyane leMbube lisho kanje kade ethula inkulumo yakhe emcimbini woMkhosi woMhlanga obanjwa minyaka yonke eSigodlweni eNyokeni kwaNongoma

ngesonto eledlule.”Ngifisa ukuphaka impi yokulwisana nesihlava sokuhlukunyezwa kwezingane nabantu besifazane kulandela isigameko sakamuva lakhona owesilisa ebulale izingane zakhe ngesihluku.Njengesizwe samazulu asihambisani nezigameko ezifuze lesi ngyafisa njengemiphakathi sisukume silwisane nezinto ezihlukumeza abesifazane nezingane eziyizimbali zesizwe. Ngiyafisa nokuthi ukusuka manje kuyaphambili siyisukumele phezulu nendaba yokusabalala kwesifo sesandulela ngculazi ngoba singezinye zezinto ezibuyisela isizwe sethu emuva.Yingakho njengeNkosi yenu ngalusukumela phezulu ngaluyisa enkantolo udaba lwalabo abase befuna kuvalwe lomcimbi ngoba bethi luphula amalungelo ezingane,ekubeni lolusiko ludlala indima ebalulekile ekunqandeni ukusabalala kwesizifo ezithelelanayo.Angikhumbuli nangelilodwa ilanga kubakhona imibiko ethi kunabantwana abalethwe ngempoqo kulo Mkhosi.Ngithi ke abasiyeke siqhubeke namasiko ngoba thina asilwisani nezinto abakholelwa kuzona nabazenzayo. Bantwana bami kuyangithokozisa ukunibona nihlobe kanje futhi nigcwele lenkundla lokhu kungenza ngizigqaje ngemvelaphi yethu.”Kusho uBayede IMbube ibe isiphinda igxeka kakhulu udlame olubhekiswe kwabokufika esifundazweni saseGoli wathembisa ukuthi maduzane uzohlela iMbizo ezohlanganisa iziNduna ezesemaHostela aseGoli ukuze kuzophela udlame olusabalele eGoli. Kanti bezilinganiselwa ku 40 000 isibalo sezintombi kulonyaka ebezihambele uMkhosi woMhlanga.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

>> UMHLELI MAKHOSI MNGOMA makhosi@sivubelaintuthuko.co.za 083 618 4252

>> IPHINI LOMHLELI TEBOGO SIBISI tebogo@sivubelaintuthuko.co.za 079 245 8462

>> INTATHELI YEZEMIDLALO THABANI MAPHUMULO trmaphumulo@gmail.com 081 794 8407

>> GRAPHIC DESIGNER AND LAYOUT LINDA MAZIBUKO trusouth1@gmail.com 079 535 0581 IWEBSITE YETHU www.sivubelaintuthuko.co.za FACEBOOK sivubela intuthuko TWITTER @sivubela intuthuko INSTAGRAM sivubelaintuthuko IKHELI LETHU B 33 Ten Acre Thembeni Groutville P.O Box 4473, Stanger4450, 270 Stamford Hill Road Unit 1 Morningside, Durban, 4000 UMA UFUNA UKUKHANGISA KULELIPHEPHANDABA , SHAYELA 031 822 2602/083 618 4252


IKHASI 8

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

SEPTHEMBA /OKTHOBA 2019

Sivubela Intuthuko

EZEMIDLALO Kukhonye iReal Stars eWaterval

THABANI MAPHUMULO

waleli jele uThembinkosi Mathenjwa.

ZITHOLE ithuba lokuzibandakanya nezemidlalo kwibhola likanobhutshuzwayo iziboshwa zasejele laseWaterval e-Utrecht maphakathi nesifundazwe iKwaZulu Natal. Zilinganiselwa kumakhulu amane iziboshwa ebeziyinxenye yomqhudelwano iGamula Tournament nokuwumqhudelwano ohlelwe umphathi

UMathenjwa uthe lomjaho uyinxenye yohlelo lokuthi lezo ziboshwa esezizophuma zithole ithuba lokuthi ziphumele ngaphandle njengendlela yokuhlunyeleliswa kwezimilo. “Lezi ziboshwa yilezo esezizophuma ngakho lemidlalo siyibamba minyaka yonke ukuthi sibahlulumelelise izimilo,” kuqhuba Mathenjwa.

Iningi leziboshwa likuthola kunzima ukubuyela emphakathini ngenxa yokuhlulelwa ngamacala ezawenza. Umphathi waleli jele unxuse umphakathi ukuthi ubamukele labo asuke sebephuma ngaphakathi. “ Ngiyafisa ukusho ukuthi umphakathi awubanike ithuba ubamukele ngoba basuke sebeshintshile kulokhu abasuke bekwenzile,” kuphetha uMathenjwa. Lowo oyisikhulu obhekelele izinhlelo zokuhlunyeleliswa kweziboshwa uNtombifuthi Lukhele uchaze ngabakwenzayo kwiziboshwa ukuze ziphume sezishintshile ngokwezimpilo. “Siyaye sibheke icala isiboshwa esisuke silenzile bese sibheke uhlelo olusifanele nolungasisiza ukuthi sikwazi ukubuya isimilo. Ukudlala ibhola kungenye yezinto esizisebenzisayo ukuthi bakwazi ukuhlunyeleliswa izimilo.” kusho Lukhele. Ukaputeni weReal Stars enqobe ngo 2-1 ihlula iKwaitos uJabulani Mnyandu unxuse labo abangaphandle ukuba bangafisi ukuya kulendawo abakuyo. “Ngiyafisa nje ukusho kubafethu abangaphandle abaqhubeke baziphathe

kahle bangezi kulendawo ngoba ayilungile, ushiywa nayisikhathi uma ula ngaphakathi. Siyajabula kakhulu ukuthi sinqobile namuhle ngoba ukudlala ibhola kuyasisiza ukuqhuba isikhathi langaphakathi.” kusho Mnyandu. Le midlalo ibihanjelwe nalowo osuke ezinhlakeni zenhlangano esingethe ibhola kuleli iSouth African Football Association (SAFA) uDelisile Mbatha. UMbatha ukhale kakhulu ngekhono elivaleleke ngaphakathi ejele. “Siyinhlangano siyayeseka imidlalo efana nalena ngoba siyazi likhona ithalente elivaleleke langaphakthi. Siyafisa nokubasiza uma sebephumile ngaphandle ukuze bakwazi ukuthola nethuba lokuqeqesha ngokulandela izindlela ezifanele zenhlangano.” kusho Mbatha. Injabulo ibibhalwe ebusweni kwiziboshwa ezilinganiselwa kumakhulu amane ezithole ithuba lokuyoba inxenye yomqhudelwano. IReal Stars ebo ngompetha ithole indebe, ibhola, ijezi lokudlala kanye nezindondo zegolide, kwathi iKwaitos elale isibili yathola izindodo zesiliva, iqembu elilale isithathu lithole izindondo zesiliva.

UKhuse uthi uzoqhubeka nokuvundulula ikhono e-KZN

THABANI MAPHUMULO INKAKHA yeqembu iKaizer Chiefs uDonald “Ace” Khuse uthi leli qembu lisazoqhubeka nokufuna abafana abancane abazogijima ezinhlakeni ezincane zaleli qembu. “Sisazoqhubeka nokuhlonza

abadlali esifundazweni saKwaZulu-Natali ngoba siyazi ikhono kuphela lidinga ukuhlonzwa. Nakulo mqhdelwano sizozama ukubheka abafana esizobathatha sibayise eNaturena ukuyoziqeqesha neqembu elincane leChiefs,” UKhuse ophinde abe umhlonzi wekhono kubad-

lali ubehambele endaweni yasePongolo ukuzokwethamela umqhudelwano uPhongolo Mayoral Cup. Le nkakha iphinde yaveza ukuthi abadlali abazobathola lapha bazobanika ithuba lokuthi bakwazi ukuyoziqeqesha namaqembu amancane kuChiefs. “Siyaqonda ukuthi abafana abancane bayadinga ukunikwa uqeqesho olusezingeni yingakho masibathatha sibanika ithuba lokuziqeqesha ukuze sibone sibasiza kanjani,” kusho Khuse. IMeya yalo masipala uWinnie Nhlabathi uthe intsha yakule ndawo kumele ikuqonde ukuthi ingakwazi ukuziphilisa ngezemidlalo. “Intsha kumele iqonde ukuthi ingakwazi ukuziphilisa ngezemidlalo yingakho uma kukhona lemidlalo kumele izimisele ngoba kusuke kukhona abazoyibheka ukuthi idlala kanjani.” kusho Nhlabathi. Lo mqhudelwano obanjwa minyaka yonke uhlanganisa imidlalo eminingi enhlobonhlobo okuhlanganisa ibhola

lezinyawo, iNetball, ezokugijima, Tennis, isibhakela, kanye neminye eminingi. Umpetha kwezamankomane uMoruti Mthalane uthe likhona ikhona kule ndawo kodwa intsha iyadinga ukuthi ithole usizo kwasebemnkantshubomvu kulo mkhakha. “Sengifika okwesibili kulendawo yasoPongolo benalemidlalo kanti ikhono likhona liningi kuphela intsha idinga ukusizwa. Ngiyafisa ukushayela ihlombe umasipala ngalokhu okwenzayo ngoba kusasa kungenzeke kuphume umpetha owaqala kulemidlalo. Nesasasa libonakala lilikhulu kulendawo kwezesibhakela nokuyinto enhle kakhulu njengoba lomdlalo usubonakala ushonaphansi.” kuphetha uMthalane. Le midlalo iqale ngoMgqibelo ezindaweni ezahlukene yaze yaphothulwa ngosuku lwangeSonto, kanti intsha esuka kuwona wonke amawadi akulomasipala ebibambe iqhaza.

031 828 0433 / 082 597 6669

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.