Sivubela Intuthuko Newspaper

Page 1

SIVUBELA Intuthuko

ADVERTISING: (031) 8222 602 JUNI 2019

2019 Presidential Cabinet

6

FACEBOOK: SIVUBELA INTUTHUKO

SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

LIMAHHALA USHICILELO 33

Kuzothuthukiswa ingqalasizinda yamahhovisi oMkhandlu KDM

3

Zinikwe ithuba ezomphakathi ngesikhathi soKhetho

8

Umeya ubongele ompetha be-Ilembe SAB

Kusukela kwesokunxele uCllr. Dumsani Ndimande onguSotswebhu kumasipala waKwaDukuza, Cllr. Jennifer Vallan kanye noCllr Joe Phahla.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


IKHASI 2

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

JUNI 2019

Zinikwe ithuba ezomphakathi ngesikhathi soKhetho

uNomalungelo Faku wenkampani uTelkom kanye noSthembiso Sithole TEBOGO SIBISI INHLANGANO yezokuxhumana eNingizimu Africa iTelkom isiveze ukuthi izimisele nokuqhubeka isebenzisane nemisakazo Kanye namaphephandaba omphakathi.Le nhlangano isho lokhu kulandela ukuthi ngesikhathi sokhetho lu-

kazwelonke ixhase abezindaba abasebenzela amaphapha nemisakazo ngezindleko zokuyocoshela yonke into ebiqhubeka esikhungweni se-IEC ePitoli.Oyiskhulu esphezulu sale nhlangano uNomalungelo Faku uthe babone kubalulekile ukunika ithuba abacosheli bomphakathi kuzona zonke izifundazwe ezikhona.”Sikholelwa

ekutheni iziteshi nomphakathi namaphepha yizona ezikhuluma nomphakathi ngqo.Isikhathi esiningi umphakathi uyancisheka ukuthola ulwazi olufanele eziteshini ezinkulu kanti ezomphakathi yizona eziqonda kancono izidingo zomphakathi. Ngezikhathi zokhetho umphakathi ugcina usuphoqeleka ukuthi uncike eziteshini ezinkulu ngoba lezi zawo usuke ulwazi uluthola kuzona kodwa Sinethemba lokuthi esikuqale kulonyaka ngeke sisakuyeka ukuze kusizakale umphakathi ngokuthola ngendlela efanele.Siyazi bakhona abasale ngaphandle kodwa njengoba bekuwuhlelo lwethu lokuqala ngesikhathi esilandelayo siyathembisa isibalo sezintatheli esiyozithatha sizosinyusa”kusho uFakuOweNtokozo FM ezinze elokishini laseMlazi uMnuz. Sihle Skhakhane uthe ubonga kakhulu kwabakaTelkom ngethuba abamnika lona.”Sengineminyaka engaphezu kwemihlanu ngathola iziqu zobuntatheli kodwa bengakaze ngithole ithuba lokuyozibonela ngokusuke kuqhubeka esikhungweni sokub-

alwa kwamavoti ngezikhathi zokhetho. Ziningi kakhulu izinto engazifunda ngokuba sePretoria futhi ukuba khona kulesaskhungo kwasinika nethuba lokuthi sikwazi ukuzixhumanela ngqo nabaholi abaphezulu bamaqembu ahlukene esijwayele ukuxhumana nabo ngezingcingo uma senza izinhlelo zezindaba. Ngyafisa ukuthi uTelkom lo msebenzi omuhle osuwuqalile ungabe usawuyeka ngoba thina eziteshini zomphakathi asikabi kahle nawo Amandla okuzimela ngendlela efanele nokuholela ekutheni sigcina sisalela emuva kwezinye zezinto ngenxa yokushoda kwezinsiza Kanye nemali.”Kuchaza uSkhakhane.OnguMphathi wezindaba weHigh way Radio enkabeni yeTheku uNozipho Mbambo uthe ukusebenzisana obuqalwe uTelkom ufisa buqhubeke.”Ezindaweni esisebenza kuzona siyaludinga uxhaso oluqhamuka ezinkampanini ezinkulu ezifana noTelkom ngoba sisashoda ngezinsiza kusebenza Kanye noxhasomali lokhu kugcina kusenza sisebenza kanzima.”

Yethule izinhlelo zikamanyolo eyabalimi okwenza kuqhubeke kahle umsebenzi wenhlangano futhi ikhule.Isifundazwe sethu siyisizinda sikamoba kusukela kudala baningi kakhulu abalimi abamnyama esinabo futhi esizigqajayo ngabo kodwa Siyabonga ukuthi nabo ezindlekweni abebebhekana nazo ngezikhathi zokulima sezizoncipha ngenxa yosizo lukahulumeni. Asizisoli nakancane ngokuba nalenhlangano ngoba wonke umuntu uzizwa ekhululekile ngendlela elinganayo.Ukuthola usizo loxhaso nakuhulumeni lokhu kusho inqubakela phambili womzabalazo wethu wokuthi sifuna ukuhlonishwa njengabobonke abalimi ngale kokubheka ibala.”Kuchaza uSithole.

TEBOGO SIBISI INJABULO ibibhalwe ebusweni kubaphathi Kanye namalungu enhlangano emele abalimi abamnyama bamoba iSouth African Farmers Development Association (SAFDA) ngesikhathi isingethe imicimbi yokwethulwa kwezinhlelo zikamanyolo esifundazweni saseMpumalanga ekuqaleni kwalenyanga kwathi ngesonto lesibili lwathulwa esiFundazweni saKwaZulu-Natali emcimbini owawubanjelwe eGingindlovu.Oyiskhulu esphezulu salenhlangano uDkt. Syabonga Madlala

uthe bakubone kubalulekile basingathe lemicimbi ngoba kubona kubona into enkulu.”Sibonga kakhulu uxhaso lwemali elinganiselwa ku R133 million esiyinikwe umnyango wezokuThuthukiswa kwezindawo ezisemakhaya Kanye nezomhlaba kuzwelonke ngokusilalela uma sicela uxhaso ngoba besekuyiskhathi eside sibhekene nengwadla yokuthenga umanyolo kamoba kongxiwankulu obubiza amanani aphezulu abeholela ekutheni abalimi bengcina bengayitholkozeli inzuzo yabo. Kusuka manje kuyaphambili umthwalo usuphungukile kuthina sonke ngoba

siyawubona umehluko ekuphucuzeni izimpilo zabalimi abamnyama emva kwesikhathi eside sicindezelekile. Sithanda ukukuveza nokuthi inhlangano yethu iyaqhubeka nokukhula kungekudala nje sizoyethula nasesifundazweni sase Eastern Cape ngoba sifuna ukuthi wonke umlimi azizwe ebalulekile futhi evikelekile ngayo yonke indlela afisa ngayo”Kusho uMadlala UShlalo weSAFDA eMpumalanga uMnuz. Jabulani Sithole uthe ubonga kakhulu ukusebenzisana okukhona Phakathi kobuholi Kanye namalungu ngoba yokhona

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Ongungqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho KZN uMnuz. Sihle Zikalala uthe benguhulumeni basazoqhubeka nokweseka lenhlangano.”Njengohulumeni umkhakha wezoLimo yiwona esithembele kuwona kakhulu ikakhulukazi ekukhuliseni umnotho Kanye nokudala amathuba emisebenzi ngakho inhlangano i-SAFDA siyincoma kakhulu ngeqhaza elidlalayo lokuletha isithunzi kumlimi webala elimnyama emva kwesikhathi sengcindezelo izwe lakuleli esiphuma kusona.Isifiso sethu esikhulu ukubona abalimi behlinzekwa ngayoyonke into ikakhulukazi izinsizakusebenza kusuka besaqala betshala kuze kuba kufika esigabeni lapho bethutha khona umkhiqizo wabo bewuyisa lapho bedayisa khona bengakhiphi ngisho indibilishi ukuze bezoybona inzuzo yabo.”kusho uZikalala


JUNI 2019

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 3

Kuzothuthukiswa ingqalasizinda yamahhovisi oMkhandlu KDM

Kusukela kwesokunxele uCllr. Dumsani Ndimande onguSotswebhu kumasipala waKwaDukuza, Cllr. Jennifer Vallan kanye noCllr Joe Phahla. TEBOGO SIBISI UMASIPALA waKwaDukuza usubeke eceleni isamba semali engu R3,8 million wokuthuthukisa isakhiwo samahhovisi awo.Lo masipala uveze lokhu ngesikhathi wethula ngokusemthethweni isabelomali sonyaka ka2019/2020 Ngolwesine.Ethula loluhlalomali Obambe njengoMeya

uCllr. Jennifer Vallan uthe iziningi izinto abazibone zidinga ukulungiswa kusukela kuphahla lwesakhiwo kuya kwizinsiza kusebenza zabasebenzi.”Sibone kubalulekile ukuthi sibeke eceleni lemali ngoba akukuhle ukubona indawo enabasebenzi Ivuzelwa uphahla.Kuningi okuthinta amahhovisi kamasipala okusazolungiswa ngoba kusona lesabelo mali silubhekisisle

nodaba oluthinta imali esiyichithayo ngokuqasha izindawo sizenze amahhovisi ukuthi kusidla kakhulu emalini ngakho sinqume ukubeka eceleni uR15 million wamarandi esisazobheka kabanzi ngakho ukuthi sithola indawo sakhe amahhovisi noma siqhubeka nakho ukusebenzisa izindawo esiziqashile.Siyabonga ukubona ukuthi ziningi izinto esizenzile ngesabelo

mali sonyaka wezimali u2018/2019 futhi kusakuningi esizimisele ukuthi sikwenze.”Kusho uCllr. Vallan UVallan uthe bakwazile ukusungula uhlelo oluthinta kakhulu abantu abasha olubizwa ngeYouth Development Summit Unit.”Ezinhlelweni ezithinta ulusha sisazoqhubeka sifake isandla sisize ulusha lwethu ekutheni iqhube izifundo zabo ezikhungweni zokuqeqesha kanye nokuthuthukiswa kwamakhono.Kuningi kakhulu okusijabulisayo okuhle okuzuzwe umasipala wethu,sikwazile ukuthola umbiko ohlanzekile kodwa lokho akumile kulokho Ngoba kulonyaka wezimali sifuna ukuqinesekisa ukuthi sithola umbiko ongenagcobho. Luningi ushintsho ekuthuthukiseni imigwaqo yethu njengoba ebikade iyibhuqu sikwazile ukuyifaka itiyela.Sibe nohlelo lokwakhiwa kwezindlu oluhambe kahle kakhulu ezifana naseNtshawini,Etete,Steve Biko,Chis Hani ebeziphuma zinamatayitela.Siyazibophezela ekutheni Silungise ingqalasizinda yokukhanya kukagesi emigwaqeni yethu,sidale amathuba emisebenzi,siphinde silungise inkinga yokwebiwa kukagesi ikakhulukazi okusishiye nesikweletu esikhulu obekwenziwa osomabhizinisi abebesebenzisa ugesi bengawukhokheli.”Kuqhuba uCllr Vallan. Kanti kuzonyuka ngo 8% ukuthengwa kukagesi wekhadi bese kunyuka ngo 13.07% ukukhokhelwa kukagesi kulabo abasebenzisa owemitha. Silinganiselwa ku R1.8 Billion wamarandi isabelomali salomasipala sonyaka ka2019/2020

Ugubhe olokongiwa kwemvelo ezikoleni uMasipala

UMASIPALA waKwaMaphumulo ugubhe usuku olukhuthaza ukongiwa kwemvelo elugujwa umhlaba wonke i-International day for Biological Diversity,mhlaka 22 Meyi loMasipala ugubhe lolusuku ngaphansi kwesiqubulo esithi’’Our Biodiversity,Our food,Our Health’’. SKHUMBUZO NZUZA UMASIPALA waKwaMaphumulo ugubhe usuku olukhuthaza ukongiwa kwemvelo elugujwa umhlaba wonke i-International day for Biological Diversity,mhlaka 22 Meyi loMasipala ugubhe lolusuku ngaphansi kwesiqubulo esithi’’Our Biodiversity,Our food,Our Health’’. Ithimba elingaphansi koMnyango wakwa Environment Management ngaphansi kukaMasipala waKwaMaphumulo lihambele izikole ezintathu eNyamazane Primary School,Balcombs Hill Primary kanye nase Otimati Primary School,ngenhloso yokukhuthaza abantwana ukuthi bakubeke emahlombe abo ukunakekela imvelo nezitshalo ezifana ne Flora kanye ne Faunaokuyizitshalo ezikwazi ukukhiqiza eminye yemikhiqizo edliwayo.Abantu abaningi basebenzisa izitshalo zemvelo

ukwenza imikhiqizo eyahlukahlukene ezinye zisetshenziswa abantu ukwakha amakhambi okwelapha,ezinye izihlahla ziyakwazi ukusiza ukugwema ubungozi besimo sezulu kuningi okunye okwenziwa imvelo okungazuzwa umphakathi muyinakekela. Indawo yaKwaMaphumulo isemakhaya lapho abantu abaningi abahlala khona besebenzisa izitshalo ukuzelapha nokuthola ukudla futhi imvelo bayisebenzisa ngezindlela ezahlukene nokuyisona sizathu esidale lomkhankaso usatshalaliswe kulendawo,okunye okuholele ukuthi umasipala udlulisele lolwazi bekuwukuthi ufisa nokuthi umphakathi ubambe iqhaza kwiphupho likaHulumeni lango nyaka ka 2030 lokuphucula isimo sempilo sustainable Development and Sustainable Development Goal. Ukuqonda ukubaluleka kwezitshalo kungenza kubelula ukuthi

abantu bazi ukubaluleka kwayo imvelo ezimpilweni zawo,uMasipala waKwaMaphumulo ugubhe lolusuku ngokuqwashisa umphakathi ngokuguquka kwesimo

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

sezulu,ubudlelwano abantu babe nabo nemvelo,ukunakekela amanzi ngoba nawo ayimvelo kanye nokunye okuningi.


IKHASI 4

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

JUNI 2019

Kunxuswa umasipala ungenelele kolwababeke imijondolo eduze nojantshi ngoba abantu bakhe imijondolo endaweni engaphephile okuthi makuguguleka inhlabathi yehlele kujantshi bese kuvaleka ulayini.Abanye bagcina sebelahla nemfucuza khona kujantshi okuyingozi kakhulu uma kuqhamuka isitimela. Izikhukhula zakamuva ziholele ekutheni sivale ukuhamba kwezitimela amaviki amathathu ngenxa yabantu abakhe endaweni kaLoliwe.Siyafisa uMasipala

TEBOGO SIBISI INHLANGANO ebhekelela ukusebenza kwezitimela esifundazweni saKwaZulu-Natali i-PRASA isinxuse uMasipala weTheku ukuthi ungenelele odabeni lwabantu abakha imijondolo eduze nojantshi wesitimela ikakhulukazi elokishini laseMlazi eduse nesiteshi iLindokuhle Kanye neZwelethu.Ngenyanga edlule le nhlangano ngokubambisana nonjimiyela bojantshi bahambele zonke izindawo ezidale kube nokumiswa kokuhamba kwezitimela amasonto amathathu ngenynga ka Ephreli

weTheku ungenelele ngokushesha kulolu daba ngoba uma beqhubeka nokuhlala kulemijondolo sizophoqeleka ukuthi sivale ukuhamba kwezitimela emzileni obheke eMlazi bese kugcina kuthinteka abagibeli bethu ngenxa yezinto ezenziwa ngamabomu.”kuchaza uNomnganga. Kanti ukuhamba kwezitimela kusaqhubeka yize zisakhona izinhlelo zokukhuculula imfucuza.

ngenxa womonakalo owadalwa izikhukhula ezazihlasele eThekwini. Oyinhloko emnyangweni wezokuxhumana kaPRASA uMnuz. Zama Nomnganga uthe kuyakhathaza ukwanda kwemijondolo eyakhiwa eduze nojantshi ngoba iba inkinga uma kufika izimvula ezinamandla.”Sikhathazekile ngokwanda kwezinga lokhwakhiwa kwemijondolo eMlazi ngoba kuphazamisa ukuhamba kwezitimela ngasosonke isikhathi uma kuhlasela izimvula ezinamandla.ELindokuhle naseZwelethu yizona zindawo ezeyinkinga kulo layini obheke eMlazi

Bacela uxhaso lwezitofu namabhodwe abasala dengwane eMlazi “Asimnandi isimo esihlezi ngaphansi kwaso ngoba kwesinye isikhathi siswela indawo yokupheka ekubeni ukudla kukhona abasixhasa ngakho osomabhizinisi Kanye nezinhlangano ezizimele.” TEBOGO SIBISI ASECELE usizo lokuhlihlinzekwa ngezinsiza zasekhishini Kanye nendawo yokuhlala efanele amalungu omphakathi ahlala etendeni eligxunyekwe eduze neHostela iTehuis elizinze elokishini laseMlazi ngaphansi kawadi-74.Lo Mphakathi usho lokhu ngesikhathi iphephandaba lomphakathi lihambele kule ndawo ngenhloso yokugubha inyanga i-Africa month ngokuthi linikele ngokudla nangezimpahla zokugqoka .Umsunguli waleliphepha uNkk. Makhosi Mngoma uthe bakubona kubalulekile ukuzobheka isimo lomphakathi ohlala ngaphansi kwaso emva kokusala dengwa ngenxa

yezikhukhula ezahlasela eThekwini ngenyanga ka-Ephreli.”Njengephephandaba lomphakathi sikubone kunesidingo esikhulu ukuvakashela kulendawo sinikele ngezinto zokugqoka Kanye nokudla okungaboli kalula emva kwesimo ababhekene naso sokungabinandawo yokufihla ikhanda.Sikhulu isidingo sokuthi lomphakathi ubhekelelwe ngoba kuleli tende sifice kunabantu abadla amaphilisi kodwa bakhala ngokuthi ukudla babuye bengakutholi ngesikhathi ikakhulukazi ngezikhathi zasekuseni okuyinto engeyinhle ngoba sonke siyakuqonda ukuthi isidlo sasekuseni sibalulekile kuwona wonke umuntu ophilayo.”kusho uNkk. Mngoma. Ilungu lekomiti elibhelela

inhlalo yomphakathi kuleli tende uNksz. Emily Nciki uthe yize isimo sinzima kodwa bayabonga kumasipala ngokuhlinzeka ngetende elikhulu.”Isimo besinzima kakhulu ngesikhathi lomphakathi kade ugcinwe ehholo iTehuis ngoba ubuhleli ndawonye abesifazane nabesilisa okuyinto ebingeyinhle.Siyawubonga kakhulu umzamo owenziwe umasipala ngokuletha itende elikhulu sakwazi ukulihlukanisa kabili kwabakhona indawo yabesilisa nabesifazane yize sekukhona imibiko evelayo ethi lingathathwa noma inini ngenxa yokuthi ukubekwa kwalo kulendawo kudla izizumbulu zemali ngoba liqashiwe. Siyafisa ukuthi umasipala ngaphambi kokuthi ulithathe zibe sezikhona izindawo

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

ezingoLindela lomphakathi ozokwazi ukufihla amakhanda khona.” Oyilungu lo mphakathi ohlala khona kulelitende uNtombenhle Duma uthe sinzima isimo abahleli ngaphansi kwaso.” Asimnandi isimo esihlezi ngaphansi kwaso ngoba kwesinye isikhathi siswela indawo yokupheka ekubeni ukudla kukhona abasixhasa ngakho osomabhizinisi Kanye nezinhlangano ezizimele.Inkinga yethu asinawo amabhodwe nezotofu siyacela kwabanamandla basixhase ngoba kulendawo sihlala nemindeni okubalwa Phakathi nezingane ezincane ezihlezi zidinga ukunakekelwa ngokudla ngasosonke isikhathi.”Kusho uDuma.


JUNI 2019

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Uhambe kahle umhlangano womphakathi obuseNkantolo yeSizwe eMavela Traditional Court

UDABA LUTHUNYELWE Lo mhlangano bewubizwe yiMeya yaseNdwedwe uCllr Nkosinathi Chili obeyobuyisela izimpendulo ngezimfuno nezikhalo zomphakathi owawuziphakamise emibhikishweni nasemihlanganweni emavikini ambalwa edlule. iMeya ibiphelezelwa nguMeya woMkhandlu wesiFunda iLembe uCllr Sduduzo Gumede, yisigungu esiphezulu ekulawulweni kukamasipala iNdwedwe nezimenenja zabo bobabili labomasipala. Kuphendulwe umphakathi mayelana nohlelo lokulungiswa kwengqalasizinda ephaka amanzi eNdwedwe kanye nokulungiswa kwamapayipi avuzisa amanzi ukuthi kwenziwani ngawo. Kuphinde kwachazwa ngezinhlelo umasipala onazo ngentuthuko jikelele yaseNdwedwe, iMeya uChili yahlaba-yahlikiza namampunge asesabalele okuthi yona yathatha i-mall eyayizokwakhiwa eNdwedwe yayiyisa ng kubo eBhamshela. Kwezinye zezimpendulo kukhona: >> UDABA LWE-MALL YASENDWEDWE CENTRAL Imeya ithe into eyamisa ukwakhiwa kwemall wudaba lomhlaba kepha iyethemba sekuzoqhubeka ukwakhiwa kwale mall manje kwazise sekukhunyelwene umlotha mayelana nokungaboni ngaso linye obekukhona phambilini. Ithe iMeya le mall eseBhamshela ngenye futhi injalo nje yakhiwe ngomunye usomabhizinisi, hhayi laba ababezo-investa kweyaseNdwedwe emaphakathi. >> UHLELO LOKUQASHA KUMASIPALA INDWEDWE IMeya ithe bakhona futhi baningi abasebenzi abangabokuzalwa eNdwedwe abasebenza kumasipala kodwa sekungabhekwa-ke ukuthi amaphesenti anyuswe awabendawo uma kuqhathaniswa naban-

gaphandle. Ithe akusoze kube lula ukwethembisa ukuthi umasipala uzoqasha eNdwedwe kuphela ngoba neNdwedwe inabantu abasebenza kwabanye omasipala, abangaxoshwa muntu la besebenza khona. Mayelana nama-inservice training, iMeya ithe kuzoqiniswa izindlelo nemigudu yokwaziswa kwamakhansela ngezikhala uma zisuke zivulekile ukuze kufike emphakathini kungabi ngabathize kuphela abafaka izicelo. Nalapho iMeya igcizelele ukuthi umasipala mncane, ngeke ukwazi ukubhekelela wonke umuntu waseNdwedwe odinga isikhala kepha kumele lenyuke izinga lokubheka ama-skills akhona eNdwedwe ngaphambi kokuphumela ngaphandle.

IKHASI 5

Inyanga yabasha inyanga yentuthuko

VUSI CEBEKHULU Maduze nje singena kwinyanga yabantu abasha, abantu esinenkolelo ukuthi baphethe umdlandla kanye nemibono emisha yokwakha isizwe. Nginenkolelo yokuthi umuntu omusha unelungelo lokwenza amaphutha ngoba usemusha kodwa inqobo uma kungamaphutha wokwakha isizwe noma umphakathi. Ngithokoze kakhulu uma ngibona enye yezinhlangano zepolitiki ifaka umuntu omusha futhi okungowesifazane oneminyaka engu 22. Kuliqiniso angimazi kahle ukuthi ungumuntu onjani ngokuziphatha futhi angazi nokuthi uzoba negalelo elinjani epalamente, kodwa okungithokozisayo ukuthi izinto seziya ngokushintsha uma abantu abasha belungiselelwa ukuhola basebasha. Sisese lapho kwi qhaza elibanjwa abantu abasha, ngithanda ukubaqaphelisa ukuthi kubalulekile ukuthi bangakhohlwa ukuthi indlela ibuzwa kwaba phambili, ngoba akusho ukuthi imibono yabadala inganakwa. Bantu abasha ngeke sikhulume ngentuthuko uma abantu abantu besifazane emphakathini yethu besahlukunyezwa bebulawa nsuku zonke. Ngeke sikhulume ngentuthuko uma

>> MAYELANA NAMANZI ILembe livezele umphakathi eselikwenzile emavikini ambalwa edlule lase linikezela futhi nge-schedule yamathangi amanzi ukuthi ahambela nini emawadini. Kube sekuvunyelwana ngokuthi kumele namalunga omphakathi kuxhunyanwe nawo ukuze ezokwazi ukwenza i-monitoring ukuthi okuvunyelwene ngakho kuyenzeka yini. >> ODABENI LOKUTHI IMEYA KUTHIWA YATHI ENDWEDWE AKUFUNDIWE IMeya iphonsele inselelo ukuthi laba abathi yake yasho njalo emsakazweni mabalethe i-clip nosuku eyakusho ngalo lokho. Ithe ayiyena umuntu ohlambalazayo sdalo sayo futhi umsebenzi wayo wukwelekelela abantu baseNdwedwe hhayi ukubethuka nokubahlambalaza. Ithe kuyethusa ukuthi kunabathile abese beqala ukuyikholwa nje impela lensumansumane ekubeni ingelona neze iqiniso.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

abantu besifazane bengakanikwa amathuba ebuholini obuphezulu kuyo yonke imikhakha yempilo. Ngeke sikhulume ngentuthuko uma abantu besilisa bengavunyelwa ukuzwakalisa imizwa yabo ngenxa yesisho esithi indoda ayikhali, ngeke sikhulume ngentuthuko lapho kusalindeleke ukuthi umuntu wesilisa enze konke angasho lapho ehluleka khona. Inselelo engiyiphonsa kubantu abasha, ukuthi yisikhathi lesi sokwakha kuthuthuke isizwe sakithi, kuphele udlame, izidakamizwa, ukuphuza utshwala ngokweqile, ukulahleka kwesimilo ebuntwini. Ningakuvumeli ukubuzwa isizukulwane esilandela nina, ukuthi yini eniyenzile ekunqandeni lezi zinkinga. Abantu abasha ngo 1976 babamba iqhaza ekulweni nodlame, intsha yamanje umzabalazo ushintshile njengoba isimo somnotho simi manzonzo nje. Intsha yango 1976 yasebenzisa udlame ukulwa nodlame manje ngikhuthaza abantu abasha ukulwa ngamakhono nemfundo. Izidakamizwa kanye nophuzo olunamandla akusona isixazululo kodwa ukufa kwesizwe. Viva bantu abasha viva!!! Sonke Gender Justice 011 339 3589 sizwakalise ilaka lwethu ekufeni kwabesifazane kanye nezingane.


IKHASI 6

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

JUNI 2019

2019 PRESIDENTIAL CABINET

PRESIDENT OF THE REPUBLIC OF SOUTH AFRICA: Cyril Ramaphosa

2019 KWA ZULU-NATAL CABINET

Kusuka kwesokunxele:UNgongqoshe wezokuThutha kanye nokuphepha koMphakathi uMnuz. Mxolisi Kaunda,uMnuz. Ravi Pillay womnyango wezeZimali,uHlengiwe Mavimbela womnyango wezoBuciko,amaSiko kanye nezeMidlalo,uPeggy Nkonyeni woMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi,uSipho Hlomuka woMnyango wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu,uNdunankulu wesiFundazwe uMnuz. Sihle Zikalala,uNomsa Dube Ncube woMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho,ezokuVakasha kanye nezeMvelo,uNomagugu Simelane-Zulu woMnyango wezeMpilo,uBongi Sithole-Moloi womnyango wezoLimo kanye nokuThuthikiswa kwezindawo eziseMakhaya,uKwazi Mshengu woMnyango wezeMfundo kanye noNonhlanhla Khoza woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


ISIFUNDAZWE ESISEZINGENI ISIFUNDAZWE ESISEZINGENI LOMHLABA SIFANELWE ISIFUNDAZWE ESISEZINGENI LOMHLABA SIFANELWE YINGQALASIZINDA YINGQALASIZINDA LOMHLABA SIFANELWE ESEQOPHELWENI LOMHLABA. ESEQOPHELWENI LOMHLABA.

YINGQALASIZINDA ESEQOPHELWENI LOMHLABA. Ubude bayoyonke imigwaqo yaseNingizimu Afrika Ubude bayoyonke imigwaqo yaseNingizimu Afrika bungaphezulu kwamakhilomitha angu 747 000, okuyenza bungaphezulu kwamakhilomitha angu 747 000, okuyenza inxanxathela yemigwaqo ende kunazo zonke e-Afrika, inxanxathela yemigwaqo ende kunazo zonke e-Afrika, nengeyeshumi ngobukhulu emhlabeni. Kwa SANRAL nengeyeshumi ngobukhulu emhlabeni. Kwa SANRAL Ubude bayoyonke imigwaqoyethu yaseNingizimu Afrikaezimqoka siyazi ukuthi inxanxathela ingenye yezinto siyazi ukuthi inxanxathela yethu ingenye yezinto ezimqoka ekwenzeni izwe lethu likwazi ukuqhudelana namanye bungaphezulu kwamakhilomitha angu 747 000, okuyenza ekwenzeni izwe lethu likwazi ukuqhudelana namanye ezimakethe zomhlaba. inxanxathela yemigwaqo ezimakethe zomhlaba.ende kunazo zonke e-Afrika,

nengeyeshumi ngobukhulu emhlabeni. Kwa SANRAL Imikhankaso efana ne-Mount Edgecombe interchange Imikhankaso efana ne-Mount Edgecombe interchange siyazi ukuthi inxanxathela yethu ingenye yezinto ezimqoka yaseKZN; ibhuloho kunawo wonke kuyo yaseKZN; ibhuloho elide kunawo wonke aloluhlobo aloluhlobo kuyo ekwenzeni izwe lethuelide likwazi ukuqhudelana namanye yonke ingxenye eseNingizimu ukuthi yonke ingxenye eseNingizimuyomhlaba, yomhlaba, iqinisekisa iqinisekisa ukuthi ezimakethe zomhlaba.

izwe lethu liba nezinga eliphakemelokuhamba lokuhamba kahle izwe lethu liba nezinga eliphakeme kahle kwabantu nokuthuthwa kwempahla.Loluhlelo Loluhlelo olusha kwabantu nokuthuthwa kwempahla. olusha Imikhankaso efana ne-Mount Edgecombe interchange lwe-interchange enamaqopheloamane amane isinika isinika okungenani lwe-interchange enamaqophelo okungenani yaseKZN; ibhuloho elide kunawo wonke aloluhlobo kuyo imigudu emibili kuleyo naleyondlela enkulu. Ibandakanya imigudu emibili kuleyo naleyondlela enkulu. Ibandakanya ukusetshenziswa kwama-directional directional ramps, okwaqeda yonke ingxenye eseNingizimu yomhlaba, iqinisekisa ukuthi ukusetshenziswa kwamaramps, okwaqeda isidingo sezimpawu ezilawulwayo zemigwaqo, okuqinisekisa izwe lethu liba nezinga eliphakemezemigwaqo, lokuhamba kahle isidingo sezimpawu ezilawulwayo okuqinisekisa ukugeleza kahle kwezimoto kuzo zonke izinhlangothi. kwabantu nokuthuthwa kwempahla. Loluhlelo olushaLena ukugeleza kahle kwezimoto kuzo zonke izinhlangothi. Lena yingqalasizinda eseqophelweni lomhlaba exhumanisa lwe-interchange enamaqophelo isinika okungenani yingqalasizinda eseqophelweni amane lomhlaba exhumanisa iNingizimu Afrika nekusasa. iNingizimu Afrika nekusasa. imigudu emibili kuleyo naleyondlela enkulu. Ibandakanya

ukusetshenziswa kwamaSANRAL. Beyond Roads.directional ramps, okwaqeda SANRAL. Beyond Roads. isidingo sezimpawu ezilawulwayo zemigwaqo, okuqinisekisa ukugeleza kahle kwezimoto kuzo zonke izinhlangothi. Lena www.sanral.co.za yingqalasizinda eseqophelweni lomhlaba exhumanisa www.sanral.co.za Reg. No. 1998/009584/30 An agency of the Department of Transport. iNingizimu Afrika nekusasa. Reg. No. 1998/009584/30 An agency of the Department of Transport.

SANRAL. Beyond Roads. SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

BLUEPRINT 2731/MT.E/Z

BLUEPRINT 2731/MT.E/

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 7 BLUEPRINT 2731/MT.E/Z

JUNI 2019


IKHASI 8

JUNI 2019

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Sivubela Intuthuko

EZEMIDLALO

Esase-nseleni sizomela iKZN kwekazwelonke THABANI MAPHUMULO ISIKOLE samabanga aphansi saseNseleni, ngaphandle kwedolobha Richards Bay enyakatho nesifundazwe uMzuvukile Primary uzomela isifundazwe emidlalweni yeDanone Nations Cup ezobanjelwe eGoli mhla zi-15 kuNhlangulana. Lesi sikole yisona esiziqwaqwade zonke emidlalweni yesifundazwe ebibanjelwe eSugar Xulu Stadium ngasekuqaleni kwenyanga uNhlaba.

Abadlali abathathu balesi sikole basayiniswe iqembu le Mamelodi Sundowns emva kokwenza kahle kweyesifundazwe. Lesi sikole siphume phambili kwizikole eziyishumi nantathu ebezidlala kweyesifundazwe kanti kowamanqamu sihlule iGeorgedale Primary yaseHammersdale. Umphathi walesi sikole uThami Shezi uthe bazoqinisa ekuzilungiseleleni kwazise nangonyaka odlule babekuyo lemidlalo. “Sike saba kulemidlalo sikwazile ukubo-

Umeya ubongele ompetha be-Ilembe SAB

TEBOGO SIBISI OBAMBE njengoMeya kumasipala waseMandeni uCllr. Phindile Sishi usebongele wonke amaqembu awinile kade kunomqhudelwano weMacambini SAB League emidlalwleni kowamanqamu obubanjelwe enkundleni yezemidlalo eyaziwa ngekwaNgcede Omhlophe ngasekupheleni kukaMeyi. Kule midlalo iMuzi King Masters yaseMandeni ibibhekene neReal Magic yakwaMaphumulo yakwazi ukuwina ngo 3-2 kuma-Penalty. “Ezemidlalo ziyingxenye yethuluzi

eligcina lenza ulusha lwethu lunempilo lunqandeke futhi ekuzifakeni ezintweni ezibhedayo. Siyanxusa umphakathi ukuba uwaseke ngasosonke isikhathi amaqembu endawo.Kungumsebenzi wethu njengabaholi bemiphakathi ukuthi sizibandakanye nemidlalo yalamqembu ukuze siwaseke.Sinethembe elikhulu iqembu lethu iMuzi king Masters izosimela kahle emidlalweni elandelayo.” kusho uSishi. Kanti leliqembu yilona eselizomela wonke amaqembu angaphansi kwe -Lembe emidlalweni ye-ABC Motsepe League.

na lapho okumele silungise khona, kanti abafana abakujwayele ukudlala phambi kwabantu abaningi, bagcina sebenza amaphutha engenasidingo. Sinomdlali oyedwa kuphela obedlala ngonyaka odlule. Sizoqinisekisa ukuthi abadlali bakulungele ukubhekana nesimo ngokomqondo,” kusho Shezi. Lesi sikole sesibe yinxenye yalo mqhudelwano kusukela eminyakeni eyishumi nambili edlule. “Ngonyaka odlule silethe uJimmy Makhoba kanti uyabonakala umehluko. Akagci-

ni ngokuba umqeqeshi kodwa unomfutho walo mdlalo njengoba ebaqeqesha njalo abadlali emva kokuphuma.kwesikole. Ukusebenza ngokuzikhandla kwabadlali kuletha umthethelela omuhle enkundleni” kuphetha Shezi. Lesi sikole uma sinqoba kwekazwelonke singazithola sesiya ezweni.laseSpain ukuyomela iNingizimu Afrika yonkana ngomhlaka zi-12 kuMfumfu nalapho kuzobe kuncintisana amaqembu angamashumu amabili.

Injabulo eKZN kusinda iTeam of Choice MAKHOSI MNGOMA UZOQHUBEKA nokusimama umnotho waKwaZulu-Natal ngemuva kokuba iMaritzburg United igcine isitifiketi sokudlala kwi-Absa Premiership. ITeam of Choice iqinisekise indawo kwiPremiership ngokunenebula iRoyal Eagles ngo-2-0 emdlalweni wesithathu wokuhlunga ngoLwesine ntambama eChatsworth Stadium, eThekwini. Ukuphuma kweTeam of Choice kwiPremiership, bekuzogadla kuzwele emnothweni wesifundazwe. Umphakathi waseMgungundlovu namaphethelo uthola ithuba elihle lokwenza inzuzo emidlalweni yasekhaya yeTeam of Choice. Abantu bathola ithuba lokuthengisa izinto ezahlukene, kanti nomkhakha wezokuthutha uhlomula kakhulu njengoba abalandeli beqasha izimoto. Kuphinde kuhlomule kakhulu abezindawo zokulala ngokunjalo nezokuvakasha. Konke lokhu bekungashayeka kakhulu ukuba iTeam

of Choice igcine ngokudliwa yizembe. Nokho-ke okubi wukuthi endleleni yeTeam of Choice yokugcina indawo kwiPremiership, igedluze i-Eagles nayo okungeyaKwaZulu-Natal. IMaritzburg idlala umdlalo wokugcina wokuhlunga neTshakhuma Tsha Mandivhandila namuhla ngoMgqibelo, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu. Lo mdlalo bese kungowokugcina icala njengoba iTeam of Choice iye emdlalweni ne-Eagles idinga iphuzu elilodwa kodwa yagcina ithole amathathu. UFarook Kadodia ongumnikazi weMaritzburg uthi impilo yakhe ibigubuzelwe wusizi kule sizini njengoba le kilabhu ihlale isikhathi eside emsileni. Nokho ukugcizelele ukuthi uzoqinisa isikwati sakhe ukugwema ukuvika izembe ngesizini ezayo. Le kilabhu kuvela ukuthi izohlukana nabadlali abamqoka okubalwa kubona uFortune Makaringe okhonjwa kwi-Orlando Pirates noSiphesihle Ndlovu yena okuthiwa uya kwiMamelodi Sundowns eyizingqwele ze-Absa Premiership.

#NFDPLAYOFF POSITION

TEAM

P

W

D

L

GD

PTS

1.

MARITZBURG UNITED

3

3

0

0

5

9

2.

TSHAKHUMA TSHA... M

3

1

0

2

-2

3

3.

ROYAL EAGLES

4

1

0

3

-3

3

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.