Sivubela Intuthuko Newspaper

Page 1

SIVUBELA Intuthuko

ADVERTISING: (031) 8222 602 MEYI 2020

FACEBOOK: SIVUBELA INTUTHUKO

SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

LIMAHHALA USHICILELO 46

Osomabhizinisi banikele ngezigidi

Bazozwela abakweleta umasipala

iKhasi 5

udaba ekhasini 3. Usomabhizinisi iVivian Reddy amukelisa isheke lezimfonyo kuNdunankulu wesifundazwe uSihle Zikalala kanye noNgqongoqshe woMnyango wezeMpilo esifundazweni iKwaZulu Natal uNomagugu Simelane-Zulu

Hlala unolwazi nge #COVID19

Yiba yingxenye ye WhatsApp yabantu base Ningizimu Africa

Thumela umyalezo othi “Hi” ku

0600 123 456

Noma uvakashele ku www.sacoronavirus.co.za

uMhlathuze wethule uhlelo lokudla kwabaswele

iKhasi 6


IKHASI 2

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

MEYI 2020

Covid -19 namabhizinisi azosebenza esigabeni sesine ukuthambisa uthaqa ‘’Imibono evela emphakathini iphikisene nokudayiswa kukagwayi sisuka ku sigaba 4.Konke kweziwa ngaphansi komthetho obizwa Disaster Management act 2002 (act No 57 of 2002). Sithi asibheke ukuthi imaphi lamabhizinisi avunyelwe ukusebenza kwisigaba 4 ngokomyalelo wongqongqoshe.

UNgqogqoshe Wezindaba zoMdabu nokubusa ngokubambisana Nkosazane Dlamini Zuma NHLANHLA SIMELANE Ningizimu Africa njengoba kuqala inyanga kaMay 2020 ingena kwisigaba sesine sikathaqa ezigabeni ezinhlanu ezamenyezelwa Umengameli wezwe uMnu Cyril Rapmaphosa.Kweziwa lokhu njengemizamo yokuvula eminye imikhakha yezomnotho .Ungqongqoshe wezokubusa nokubambisana Dkt Nkosazana Dlamini Zuma uphinde wacacisa ngemigomo ekufanele ilandelwe uma sekuqala lesisigaba. UNgqongqoshe Nkosazana Dlamini Zuma uveze nemibono ebivela emphakathini mayelana nesigaba

sesine sika thaqa. Okuqhame kakhulu ukungavunyelwa kokudayisa kukagwayi kusigaba 4.Lokho kusho ukuphikisana nokwamenyezwelwa uMongameli Cyril Ramaphosa. Lezizigaba zizolokhu zibhekwa ikomidi elibizwa nge National Command Council eliholwa uMengameli Cyril Ramaphosa ngokubonisana noNgqongqoshe Dkt Zweli Mkhize Kanye noNgqongqoshe Ebrahem Patel.Ongqongqoshe esithangamini sabezindaba bakuvezile ukuthi uma isimo siba sibi kakhulu kungabuyelwa kusigaba 5 okuyisigaba esizima kakhulu.futhi uma abantu beziphatha kahle singadlulela kusigaba 3

Amabhizinisi avumelekile nokunye kusigaba 4 • Zonke izitolo zokudla zivumelekile ,sibala nama saspaza shops • Ukudla okuphekiwe kungahanjiswa kubathengi emakhaya. • Abalimi bavumelekile ukutshala baphinde badayise. • Abasebenza ngamahlathi Kanye abenza amaphepha. • Amabhange Kanye nayo yonke imikhakha esebenza ngezezimali • Izimayini nazo zivumelekile ikakhulu ezidayisa amalahle. • Abasebenza ngePosi nezokuxhumana • Amabhizinisi asebenza ngodoti ( Recycling ) • Imikhakha yezobuchwepheshe – Izintolo zomakhalekhukhwini. • Izitolo ezidayisa izimpahla zengane Kanye nempahla zasebusika. • Ilapho kukhandwa khona izimoto • Umkhakha wezokwakha kodwa imisebenzi kahulumeni kuphela, e.g Bridges

and Roads. • Abasebenza ezindlini kodwa behlala emsebenzini. • Ukugijima ibanga elingama Khilomitha amahlanu Ezokuthutha Amabhasi, amakhumbi, Kanye nezimoto ezincane ezithwala abantu ngemali. Zingathutha ngazikhathi zoke, kodwa zingcine umthetho wokuhlazeka Kanye nokungangcwali ngokweqile. Okungavumelekile kulesisigaba • Ugwayi • Usthwala • Ukuya olwandle • Ukugibela amabhanoyi Kanye nokunye. Kuzovunyelwa kuzigaba ezilandelayo. Eminye imigomo Akuvumelekile ukusuka kwenye province uya kwenye.Ngaphande uma kuthuthwa izimpahla noma kumayelana nomngcwabo. Kusuka mhlaka 01- 07 May 2020 asikho isidingo sokuphatha ivume uma ubuyela emsebenzini noma ubuyela ekhaya. Lemvume eyesikhashana. UNgqongqoshe Dkt Nkosazana Dlamini Zuma uxhuse ukuthi abantu bambambisane ukulwisana nalesisifo Covid- 19

Usizi lwendlu kowase-Mlalazi “Akekho osebenzayo kuleli khaya siziphilisa ngemali yesibonelelo sabantwana. Kunzima kwazise kwayona lemali iphelela ekuthengeni ukudla ukuze sikwazi ukuthi silale sidlile,” THABANI MAPHUMULO

Indlu okuhlala kuyo umndeni wakwaMthethwa kuWard 16 ngaphansi kwamasipala uMlalazi

OWESIFAZANE waseMvutshini ngaphansi kwamasipala uMlalazi kuWard 16 enyakatho nesifundazwe iKwaZulu Natal uZama Mthethwa ukhala ngesimo abahlala ngaphansi kwaso njengoba behlala beyisihlanu kwindlu engekho esimeni esikahle. Lo mndeni wamalunga ayisihlanu uhlala kwindlu edilikile nengawa noma yinini. “Isimo esihlala ngaphansi kwaso sinzima njengoba uma izulu lina kugeleza amanzi. Okunye sihlala sibahlanu nokwenza ngigcine abanye sengibayisa kubangani bayolala khona,” kusho Mthethwa. Lo mndeni uziphilisa ngemali yesibonelelo nokwenza kubenzima satshe ukuthi bapatanise ukwakha indlu, njengoba bezama okuta ngasethunjini kuphela. “Akekho osebenzayo kuleli khaya siziphilisa ngemali yesibonelelo sabantwana. Kunzima kwazise kwayona

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

lemali iphelela ekuthengeni ukudla ukuze sikwazi ukuthi silale sidlile,” kuchaza uMthethwa. Lowo oyiPr Councillor kuleWard uBongani Ngidi unxusa osomabhizinisi ukuba baphonse esivivaneni ukuze kusizakale lomndeni. “Sinxusa noma ubani ongaba nosizo ukuba aphumele phambili kusizakale lomndeni ohlala ngaphansi kwesimo esibucayi,” kusho Ngidi. Ikhansela lakulendawo kuWard 16 kumasipala uMlalazi uBhekinkosi Ngidi uveze ukuthi lomndeni uzosizakala emva kwathaqa (Lockdown) njengoba umasipala uzoqalisa uhlelo lwezindlu zabahlwempu ezingama-20 kwiWadi ngayinye. “Sesilinde ukuthi kuphele uthaqa bese kuqalisa uhlelo lwaSukuma Sakhe lukamasipala ,” kuphetha uNgidi. Kusukela kuqale uthaqa lomndeni awukaze uhlomule nasohlelweni lwamaphasela okudla.


MEYI 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 3

Banikele ngezigidi zokulwisana neCovid-19 osomabhizinisi WENDY NZAMA ABENHLANGANO iSibaya Community banikele ngezinsiza zokuvikela ubhubhane iCovid-19 nokuyizimfonyo. USihlalo walenhlangano ophinde abe usomabhizinisi odumile eThekwini namaphethelo uVivian Reddy wamukelise isheke kuNdunankulu wesifundazwe uSihle Zikalala kanye noNgqongoqshe woMnyango wezeMpilo esifundazweni uNomagugu Simelane-Zulu. Zilinganiselwa ku-300 000 izimfonyo enikele ngazo lenhlangano nezidle imali elinganiselwa ku-R4,5 million wezigidi zamarandii. UReddy uthe isinqumo sabo basithathe emva kokuzwa ukuthi kunezindawo ezishoda ngezimfonyo.“Ucwaningo luveza ukuthi ukufaka izimfonyo enye yezindlela esebenzayo ukuvimba ukusabalala kwegciwane. Emva kokuzwa ukuthi kunokushoda kwezimfonyo sibone kufanele singenelele. Kuthina akukho okubalulekile okudlula ukuhlenga izimpilo zomphakathi,” kusho Reddy. Lo somabhizinisi uqinisekise ukuthi lezimfonyo bazozidlulisela kuhulumeni wesifundazwe bese uzidlulisela emphakathini nakulabo abazidingayo njengabahlengikazi, odokotela,isemitholampilo nakulabo abasebenza emphakathini. UReddy uphinde wadlulisa umyalezo emphakathini nakubasebenzi. “Ngifisa ukubonga kulabo abasebenzayo ngalesikhathi nabenza umsebenzi omuhle, ngiyathemba lezinsiza esizikhiphayo zizokwazi uiubavikela kulolubhubhane. Okwesibili ngifisa ukukhumbuza umphakathi ukuthi umuntu unomphefumulo owodwa ngakho ke kumele akuhloniphe lokho. Abantu abajwayele ukuqhelelane baphume emakhaya ngoba kunento ebalulekile abayoyithenga. Lokhu kuza emva kokuba inhlangano iVivian Reddy Foundation isanda kunikela ngamanabukeni nemiswibela engadla imali engu-R700 000 kuhulumeni wesifundazwe ngasekuqaleni kwaleligciwane.

Usomabhizinisi iVivian Reddy amukelisa isheke lezimfonyo kuNdunankulu wesifundazwe uSihle Zikalala kanye noNgqongoqshe woMnyango wezeMpilo esifundazweni iKwaZulu Natal uNomagugu Simelane-Zulu

Cllr MXOLISI KAUNDA IMeya yeTheku

UKUKHIWA KWAMANZI EZIMOTWENI ZAMANZI (WATER TANKERS) Sigqugquzela amakhasimende ethu ukuthi ahambisane nemiyalelo yezempilo nenhlanzeko uma ezokha amanzi ezimotweni zamanzi ukunqanda ukubhebhetheka kweCOVID-19: •

Mawashiye isikhala esilinganiselwa emitheni uma emile esalinde ukukha amanzi.

Mawahlanze isitsha noma isigubhu azosisebenzisa kahle ngaphambi kokuba ayokha amanzi ngaso.

Mawavale imilomo ngendololwane uma ethimula noma ekhwehlela esemgqeni.

Mawangathinti amehlo namakhala awo ngezandla ezingageziwe.

Mawageze izandla zawo ngesanitizer noma ngensipho imizuzwana engamashumi amabili, bese ezisula ngokokusula izandla.

Mawagweme ukuxabana nabashayeli bezimoto ezithutha amanzi ngoba lomkhuba uphazamisa ukuhlinzekwa ngamanzi ngendlela.

• Mawangafiki nezingane ezincane okukanye athumele zona ukuthi zizokha amanzi ngoba zingaba sengozini yokuthola igciwane nokulimala.

SICELA UXHUMANE NOMASIPALA WETHEKU NGALEZI ZINDLELA UMA KUNGUKUTHI UNENKINGA EPHATHELENE NAMANZI NOKUTHUTHWA KWENDLE: 073 148 3477

080 311 11 11

eservices@durban.gov.za

QIKELELA UKUFAKA ISIFONYO NJALO UMA UPHUMA NGAPHANDLE

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


IKHASI 4

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

MEYI 2020

U M A S I PA L A W A K W A M A P H U M U L O

UMYALEZO KAMEYA ZIBUYISILE KHUZWAYO-DLAMINI WECOVID-19 OBHEKE EMPHAKATHINI Kusukela mhlaka 1 kuNhlaba ka-2020 sisukile

UNdunankulu wethu uMnuz Sihle Zikalala

esinyathelweni sesihlanu sangena kwesesine

uzwakalise ukungenami ngokwenyuka kwezinga

ukuze sehlise umthelela weCOVID-19 kumnotho

lokutheleleka ngeCovid-19 esiFundeni iLembe.

wezwe. Isigaba esisha sokulwa negciwane

Namanje sisalandela isiFunda seTheku ngemuva,

kuqala kwicebo lokulungisa isimo sobungozi

okuyilona eselihlonzwe njengesizinda seCovid -19

okuhambisana nokuxegiswa kwemithetho-mgomo

esiFundazweni.

yokumiswa kwezinto ezweni. Le ndlela ehlelekile inezinyathelo ezinhlanu, ezilungiswe ngokwezinga

Ukugwema ukuthi izakhamizi zibe semathubeni

lokutheleleka ezweni lonke.

okutheleleka nge-Coronavirus nokuthi sibuyele emuva kwisinyathelo sesihlanu, nginxusa

Ukuhamba kuzoba nemikhawulo. Uma ungeyena

zonke izakhamizi ukuba ziqhubeka njalo

umsebenzi owenza imisebenzi esemqoka,

nokulandela imithetho-migomo yesinyathelo

noma ungekho ngaphansi kweqoqo lezimboni

sesine ukuze sikwazi ukunqoba iCovid-19

ezivunyelwe ukubuyela emsebenzini, kumele

esiFundeni seLembe.NgiďŹ sa ukubonga

uqhubeke nokulandela imithetho-mgomo futhi

abasebenzi bethu abenza imisebenzi

uhlale ekhaya, uhambe kuphela uma kubalulekile

esemqoka ngokuqhubeka ukusebenzela

ukwenza lokho.

izwe lethu ngokuzinikela.

Sekuphoqelekile ukuthi wonke umuntu othatha

Uma sibumbene sizoďŹ ka kwisinyathelo sokuqala.

uhambo agqoke i-mask yendwagu. Inhlazeko kanye nokuziqhelelanisa kumele kuqhubeke

Hlala eKhaya, Sindisa iNingizimu Afrika.

nokuba semqoka futhi kumele kuqikelelwe zikhathi zonke. Umkhankaso wokubhekwa kwezimpawu uzoqhubeka emiphakathini yethu kanye nakuzona zonke izindawo zokusebenza. Ukunqunywa kwezikhathi (curfew) sekubekiwe kusukela ngo 8pm kusihlwa kuya ku-5am ekuseni, abasebenzi bemisebenzi emqoka kuphela abavunyelwe ukuhamba kulezikhathu ezinqunyiwe.

ULO

LITY

S IZINIK C OMM ELE ITTED

MUNIC I PA

MAPHUM

ikhasi elikhokhelwe uMasipala wakaMaphumulo

Ngolwesine mhlaka 23 kuMbasa ka-2020, uMongameli Cyril Ramaphosa umemezele ukuthi ukumiswa kwezinto ezweni kuzoxegiswa ngokwezigaba okuzodinga ukuba kube noshintsho olukhulu empilweni yethu yansuku zonke.

E K UTHUTHUKISEN I T O COMMUNIT Y

HI U M P H A K AT T DEVELOPME N

MR 711 LOT NO. 152, Maphumulo 4470 www.maphumulo.gov.za | info@maphumulo.gov.za | Tel: 032 481 4500

Cllr. ZF Khuzwayo-Dlamini uMeya

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


MEYI 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 5

BY 2030 ETHEKWINI WILL BE AFRICA’S MOST CARING AND LIVEABLE CITY

ITheku linikezela ngezijumbana zokudla kwabahlwempu

IMeya yoMasipala weTheku ukhansela Mxolisi Kaunda ese Durban Exhibition Centre ngenkathi eyohlola isimo esikhungweni okugcinwe kuso ukudla ngeSonto ekuseni NOKULUNGA MAJOLA EMIZAMWENI yokulwa nobubha njengoba izwe lisabhekene negciwane lecorona, uMasipala weTheku unikele ngezijumbana zokudla namavawusha emphakathini kuwowonke amawadi angu 110 angaphansi kwalomkhandlu. Loluhlelo luqale ngolwesihlanu olwedlule. Ngokusho koyimeya yeTheku ukhansela Mxolisi Kaunda ngenkathi eyohlola isimo esikhungweni lapho kugcinwe khona lokudla eDurban Exhibition Centre ngeSonto ekuseni, lomsebenzi uqale kahle

kakhulu akubanga nazihibe. UKaunda ukugcizelelile ukuthi akuwona wonke umuntu ozothola izijumbana zokudla njengoba abanye bezothola amavawusha. “Sinalo ithemba lokuthi abantu bazosizakala ngaloluhlelo futhi luzokwenza omkhulu umehluko ikakhulukazi kubantu bakithi abaswele,” kusho uKaunda. Uthe ngokusebenzisana nezinhlaka ezihlukene ngaphansi kwalomkhandlu okubalwa namakhansela bazoqhubeka ukuhlonza isimo ukuthi siqhubeka kanjani emiphakathini. “Umyalezo wethu emakhanseleni ethu uthi, noma ngabe ukusiphi isikhundla uma unika abantu abangafanele noma izihlobo lokudla sizokuvulela icala sikubophe. Kudingeka ukuba sisebenzisane ukusiza umphakathi,” kusho uKaunda. Uthe loluhlelo ludle imali elinganiselwa ku 66 million. Iwadi ngayinye izothola izijumbana zokudla eziyinkulungwane noma amavawusha ayinkulungwane abalelwa emakhulwini ayisithupha iyinye. UKaunda uvumile ukuthi lokhu abakwenzayo uyazi ukuthi akwenele kodwa unethemba lokuthi kuzowenza umehluko. Ikhansela laku wadi 107 uMnuz Thandanani Mabanga uthe ukuhlukaniswa kwezijumbana namavawusha kube ukuzikhethela kwamakhansela. Uthe yena ewadini yakhe ukhethe ukuba abantu bathole amavawusha nathe kulula

kunonika abantu izijumbana zokudla. “Siyazi ukuthi abantu balambile kanti futhi kunzima ukunelisa wonke umuntu. Siyakubonga kakhulu lokhu okwenziwe uMasipala ukusiza abantu abaswele,” kusho uMnuz Mabanga. Nakuba imigomo kathaqa ibe nomthelela wokuthi kungabi nemihlangano nezinhlaka ezifanele, kodwa uMnuz Mabanga uthi bakwazile ukuthi bakhethe abantu okubafanele ukuthi bathole lamavawusha ngokusebenzisana namalunga ekomidi, ononhlalakahle kanye nabaholi bamabandla ahlukene ukuhlonza imindeni eswele nekufanele ukuba iwathole lamavawusha. “Ekugcineni kwakho konke, kumele ukuthi sikwazi ukusho ukuthi lokudla sakunika bani nokuthi kungani. Baningi kakhulu abantu abakudingayo kodwa ngenxa yesimo asikwazi ukunika wonke umuntu, siphoqelekile ukuthi sikhethe abakudinga ngampela ngoba abanye babo balala bengadlile kanti abanye baze bazifikele ekhanseleni bezocela usizo. Abantu abanjalo abafanelwe ilokudla,” kusho uMnuz Mabanga. Uphinde wagqugquzela abantu ukuba bangahlali phansi bazame imizamo njengokubhalisela uhlelo lwabangasebenzi kwaSASSA nathe kuzokwenza omkhulu umehluko kwinqwaba yabantu ngalesikhathi esinzima.

Bazozwela abakweleta umasipala

IMeya yeTheku uKhansela Mxolisi Kaunda NOKULUNGA MAJOLA NGEKE bavalelwe amanzi noma ugesi abakweleta uMasipala weTheku njengoba

izwe lisabhekene nobhubhane lwecorona. Lokhu kuvezwe oyimeya yomkhandlu ukhansela Mxolisi Kaunda. Uthe kubalulekile ukuthi labo abakweletayo baxhumane nabasebenzi bakamasipala ukuze bezofakwa ohlwini lwabantu abangeke bekwazi ukukhokha izikweletu zabo ngesikhathi sikathaqa. UKaunda uthe zonke izikweletu ngeke zizale uma zingakhokhwanga ngesikhathi. Uthe lokhu kungena ngaphansi kwezinhlelo zikamasipala zokulekelela abantu njengoba abaningi bengaholanga umholo ojwayelekile, kanti abaningi abakwazi ukuqhubeka nokwenza imisebenzi abaziphilisa ngayo. “Labo abebevalelwe amanzi nogesi bazoxhunyelwa kabusha. Sizoqhubeka nangomkhankaso wethu wokuhambisa amanzi ahlanzekile, sithuthukise nohlelo lokugcinwa kwemiphakathi ihlanzekile nelokuthutha udoti. Sigxile kakhulu ezindaweni zasemijondolo nasemahostela lapho abantu bedinga khona kakhulu izinto ezifana nensipho nezibulali magciwane,” kusho uKaunda.

Uphinde waxwayisa izinkampani esezivulile emsebenzini ukuthi ziqinisekise ukuphepha kwabasebenzi. Uthe wonke umuntu kumele enze isiqiniseko sokuthi leli gciwane alisabalali ngoba kuzokonga imali eningi. “Sizoqhubeka nezivimbamgwaqo, sihlole nokuthi izimvume eziphethwe abantu ezangempela yini noma ziwumgunyathi. Sizosabalalisa nohlelo lokuhlolwa kwabantu. Siyakujabulela nokuthi osomabhizinisi abazimele bakhethe ukubambisana nathi, basinikelela ngezinsiza ezehlukene ezizoba usizo ekulweni nokusabalala kweCovid-19. Siyaqhubeka nokwamukela lonke usizo esingaluthola,” kusho uKaunda. UMnuz Sakhiseni Gumbi waseNtuzuma uthi kuyamjabulisa ukuthi abazovalelwa amanzi njengoba ubengazi ukuthi uzokwenzenjani njengoba engasebenzi. “Iyangikhathaza lento yokungasebenzi kwami ngalesikhathi samanje ngoba kusho ukuthi ayikho imali engenayo. Kodwa kuyangijabulisa ukuthi uMasipala uyasizwela njengoba sibhekene nalsesimo,” kusho uMnuz Gumbi.

Sicela uxhumane noMasipala weTheku ngalezi zindlela uma kungathi unenkinga ephathelene namanzi okanye ukuthuthwa kwendle:

WhatsApp - 073 148 3477, Noma ushayele le nombolo 080 311 1111 kanti futhi ungathumela ne-Email ku-eservices@durban.gov.za

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Usethole usizo obehlala kweyabasemgwaqweni

UMnuz Sakhile Nsibande ubonga uxhaso alutholile noluzomsiza ezifundweni zakhe njengoba elungiselela ukubhala izivivinyo zakhe NOKULUNGA MAJOLA UMASIPALA weTheku usezinhlelweni zokutholela uMnuz Sakhile Nsibande indawo yokuhlala ephephile ukuze akwazi ukuqhubeka kahle nezifundo zakhe. Lokhu kuvele emva kokuba uMnuz Nsibande evezile ukuthi akanayo indawo yokuhlala selokhu afika eThekwini ngo Febhuwari nonyaka ezokwenza isitifiketi se-economics management and science e UNISA. Udaba luka Mnuz Nsibande oneminyaka engama-29 ongowokudabuka KwaHlabisa eMpangeni, lugqame emva kokuba azithola esehlala endaweni yesikhashana ehlelwe uMasipala weTheku ukugcina labo abahlala emgwaqweni. Ngenkathi kusabalala igciwane lecorona emasontweni adlule, uMasipala weTheku wahlela indawo yesikhashana yalabo abahlala emgwaqweni ukugwema ukusabalala kwaleligciwane. UMnuz Nsibande obephila ngokuhlala ehlathini ngaseBlue Lagoon ngoba engenayo imali yokukhokhela indawo yokuhlala walithatha naye lelithuba walubika udaba lwakhe njengoba esethole ukusizakala. Uthi ubephila ngokuthi avuke ekuseni ayokudla indlakuseni e Salvation Army ngaphambi kokuba aye esikoleni. Nokudla kwasemini ubekudla khona futhi eSalvation Army. “Ngiphuma ekhaya elingamile kahle ngakho akekho umuntu engingacela kuyena ukuthi angisize. Bekuba imina owondlayo ekhaya ngenkathi ngisabamba amatoho nokwathi ekupheleni kwetoho ngathatha isinqumo sokuthi ngifunde ukuze ngizithuthukise,” kusho uMnuz Nsibande. Ukuhlala kwakhe kulendawo kumlethele amathuba amaningi njengoba ethole ukuxhaswa ngecompuyutha kanye nomakhalekhukhukhwini nokumsizayo ezifundweni zakhe. Njengamanje uMnuz Nsibande uhlala ehostela lamadoda nathi ukungenelela kukaMasipala weTheku odabeni lwakhe kumsize kakhulu. Ngokusho kokhulumela loMasipala uMnuz Msawakhe Mayisela, baningi abantu abafana Nsibande la ngaphandle. Uthe kubalulekile ukuba basizwe labantu njengoba iningi labo selidelile ngempilo lazinikela ezidakamizweni. Ngaphandle kukaMnuz Nsibande uMasipala ususize abaningi abahlala emgwaqweni okubalwa nababhekene nenkinga yezidakamizwa.


IKHASI 6

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

MEYI 2020

Kugqugquzelwe ukuhlanzwa amarenki eMandeni

WENDY NZAMA UMASIPALA wase Mandeni ngokubambisana nenhlangano yama tekisi i-SANTACO baqhube umkhankaso wokuhlaza amatekisi Kanye nama rank asenkabeni yedolobha lase Mandeni mhlaka 27 April 2020. Lomkhankaso uyingxenye yemizamo ka Masipala yokulwisana nokubhebhetheka kwegciwane le COVID-19. Njengengxenye yalo mkhankaso, iMeya ka Masipala wase Mandeni, uKhansela

Thabani Mdlalose unxuse umphakathi ukuba uqinisekise inhlanzeko emakhaya Kanye nasezindaweni zokusebenzela. Isifunda iLembe lapho kuzinze khona lo Masipala sibalwa njengezinye ezihamba phambili esifundazweni ngokuhaqwa ileli gciwane.“Izinombolo eziqhamukayo esifundeni sethu iLembe zilokhu ziqhubekile nokunyuka, azibukeki zizinhle. Siyacela abantu bakithi ukuthi baqhubeke baqinisekise ukuthi bahlanza izindawo abakuzo, bageza izandla, bafake izifonyo

baphinde bahlale emakhaya njengokomyalelo ka hulumeni wezwe. Ngokubambisana singasinqoba esisifo” kusho uMdlalose. Usekela shlalo we SANTACO iLembe, uMnu. Sibongiseni Kubheka, uncome kakhulu ukuzibophezela kuka Masipala ukulwisana nokubhebhetheka kwalolu bhubhane waphinda waqinisekisa ukuthi lenhlangano yama tekisi izibophezele ekuqinisekiseni ukuphepha kwabagibeli. “Njengoba silana sizobheka ukuthi abashayeli, okuyibona abantu abasondelene

kakhulu nabagibeli bayaqikelela ukuthi bayabafuthi ngezibulali magciwane futhi bafaka isibalo esibekiwe ngoko myalelo womnyango wezokuthutha. Lokhu sikwenzela ukuthi nathi sidlale indima yethu ekulekeleleni uklwisana nalolu bhubhane” Kubeka uKubheka. Lomkhankaso wamukeleke ngelikhulu isasasa ngamalunga omphakathi kanye nabasebenzela ema-Rank.

uMhlathuze wethule uhlelo lokudla kwabaswele

IMeya yomasipala uMhlathuze ngenkathi bethula uhlelo lwamaphasela okudla THABANI MAPHUMULO UMASIPALA uMhlathuze enyakatho nesifundazwe iKwaZulu Natal wethule ngokusemthethweni uhlelo lwenqolobane (Food Banks) oluzosiza kakhulu leyo mindeni ehlwempu ngalesikhathi sikathaqa (Lockdown) njengoba kunegciwane iCovid-19. Lokudla kubhekeke ukuthi kusize kakhulu umphakathi owakhele lomasipala njengoba kunezigaba ezimbili kuzosizakala labo abasuka kwabathathu kuya

kwabahlanu, kuphinde kusuke kwabahlanu kuya ngaphezulu. “Lolu hlelo kuhloswe ngalo ukunciphisa ubunzima obulethwa igciwane iCorona Virus emphakathini wethu ikakhulukazi leyo mindeni ehlwempu. Sinxusa bonke labo abangakwazi ukunikela benze njalo, kungakhathaleki ukuthi kuncane noma kukhulu siyakwamukela.Siyafisa ukuthi kube ukudla okungasheshi ukunakala okuhlala isikhathi eside. Le nqolobane ngeke iyamukele imineko yemali kunalokho sizobanika ulwazi ngokudla

Inxenye yokudla okulindeleke ukuthi kusatshalaliswe kwabakhele umasipala uMhlathuze esikudingayo ,” kusho Mhlongo. Lokhu kwethulwa kwalolu hlelo luzohambisana nokuhlonzwa kwalabo abaswele abazohlomula, nokuzokwenziwa ngendlela ecacile , engenayo inkohlakalo, njengoba konke ukudla okunikelelwe ngakho kuzolotshwa emabhukwini. UMhlongo unxuse zonke izinhlaka ezahlukene okuhlanganisa nezinhlangano ezingenzinzuzo ukuba ziphonse esivivaneni ukuze kushintshe izimpilo zomphakathi. “Sithanda ukwazisa umphakathi ukuthi

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

lolu hlelo luzokwenziwa ngendlela ecacile, engenayo inkohlakalo nokwenzelela, nokubhekelelwa kwezihlobo kodwa kuzohlomula labo abafanele kuphele. Lokhu kuzokwenziwa ngendlela yokuhlonza ekhuthazwe iminyango kahulumeni okuDSD, SASSA, COGTA okuwuhlelo abalusebenzisayo. Kuziphinde kube nohla okuzosayinwa yilabo abahlomulile,” kusho Mhlongo. Lo masipala unxusa zonke izinhlaka ezahlukene ukuba ziphonse esivivaneni ukuze kusizakale umphakathi.


MEYI 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

iLembe liqalise owokuhlolela iCorona kwaDukuza NOKUPHIWA MNGOMA

uSomlomo kamasipala waKwaDukuza uPhumlile Zulu behlola isikhungo okuzohlolelwa kuso igciwane iCorona Virus

UKUNYUKA kwezibalo zabatheleleka ngegciwane iCorona Virus kuphoqe ukuba kuhlolwe umphakathi ukuze kunqandeke ukubhebhetheka kwegciwane. uSomlomo kamasipala waKwaDukuza uPhumlile Zulu wethule lolu hlelo ngokusemthethweni njengoba kuzoba khona isikhungo esingumahamba nendlwana kanye nezinsiza zokuhlolela leligciwane okusatshalaliswa kwisifunda iLembe. UZulu wethule isikhungo okuzohlolelwa kuso esingumahamba nendlwana nezosetshenziswa ukuhlola

kuyo umphakathi waseLembeni. Lolu hlelo luzosiza kakhulu ekutholeni abathelelekayo ngalegciwane nangesikhathi okwenzeka ngaso. USomlomo uphinde waveza ukuthi “ Lokhu kuzosiza umasipala Kanye nendawo yaKwaDukuza yonkana, njengoba abantu abanezimpawu bezohlolwa ngokushesha.” UZulu unxuse abasebenzi boMnyango wezeMpilo ukuba lesikhungo basiphathise okwezikhala zamantungwa ukuqinisekisa ukuthi sisesimeni esikahle noma sekudlule lolu bhubhane ukuze siqhubeke nokuhlolela ezinye izifo ezithathelanayo.

Usomabhizinisi ukhiphe uMasipala ehlazweni

Umndeni wakwaShobede kuWard 17 izokwakhelwa indlu esesimeni. THABANI MAPHUMULO INJABULO usomabhizinisi waseRichards Bay enyakatho nesifundazwe iKwaZulu Natal u-Ishwar Ramlutchman esiza imindeni emibili ngokuyithembisa ukuyakhela izindlu ezisesimeni emva kokukhala ngesimo abahlala ngaphansi kwaso. Le mindeni yomibii okungeyaka Shobede eseMabhokweni, kuWard 17 kumasipala uMlalazi iphephandaba iSivubela intuthuko Ike yayivakashela yafica isimo singek-

ho sihle. URamlutchman uthe kuyathusa ukuthi kunabantu abasahlala ngaphansi kwesimo esifana nalesi. “Kubuhlungu ukubona abantu abahlala ngaphansi kwesimo esifana nalesi, ngiyafisa ukusho ukuthi asingagcini ngokugibela izimoto ezibizayo kodwa masisize labo abangakwazi ukuzisiza,” kusho Ramlutchman. UZandile Shobede (35) ohlala nabantwana abahlanu kwindlu engurondo uzwakalise ukujabula ngalokhu akwenzelwe umsamariya olungileyo ngokuthembisa ukumkhipha osizini abahlala ngaphansi kwalo. “Ngizizwa ngijabule kakhulu ukuthi ekugcineni sizosizakala ngendlu esesimeni esikahle ,kwazise lena iyanetha Kanti akekho nosebenzayo layikhaya,” esho. Le mindeni emibili izokwakhelwa izindlu ezinamagumbi amabili ezisesimeni esikahle. uMbongeleni Shobede naye ohlala nabantwana abayisithupha kwindlu yodaka uhluleke nawukuzibamba emva kokuhlatshwa kwesoyi lokwakhelwa indlu. “Lokhu okwenzekayo kuyisibusiso esivela kuNkulunkulu wethu, bekunzima kwazise nami angisebenzi ngibamba amatoho, futhi kumele nginakekele labantwana engihlala nabo,” kusho Mbongeleni.

Izindlu zalemindeni kulindeleke ukuthi ziqalwe ukwakhiwa Uma kuphela iLockdown yezinsuku ezingama-35 zokulwisana nokubhebhetheka kwegciwane iCovid-19. Kanjalo noNomfundo Msweli we-Walk-Away Foundation okuyinhlangano eyahlonza lemndeni uzwakalise ukujabula nokubonga ngosizo oluqhamuke nosomabhizinisi. “Sifisa ukubonga ukuthi ekugcineni lemindeni isizakele, isizokwazi ukuhlala ngaphansi kwesimo esikahle ngosizo lukasomabhizinisi.” Kusho Msweli.

Amaphasela okudla okunikelelwe uSibusiso Ngubane weKa-Myaluza Security THABANI MAPHUMULO UMNIKAZI wenkampani yonogada iKa-Myaluza Security esebenzela eMpangeni enyakatho nesifundazwe iKwaZulu uSibusiso Ngubane waseNtambanana uthi

SIVUBELA Intuthuko ITHIMBA LEPHEPHA >> UMHLELI MAKHOSI MNGOMA makhosi@sivubelaintuthuko.co.za 083 618 4252

>> EZOMNOTHO NHLANHLA SIMELANE simelaneln@gmail.com 083 708 0930

>> INTATHELI YEZEMIDLALO THABANI MAPHUMULO trmaphumulo@gmail.com 081 794 8407

>> GRAPHIC DESIGNER AND LAYOUT LINDA MAZIBUKO trusouth1@gmail.com 076 4847 269

Usomabhizinisi u-Ishwar Ramlutchman ehlaba isoyi kumuzi wakwaShobede kuWard 17 kumasipala uMlalazi

Ubuyisele eMphakathini owenkampani yoNogada kubalulekile ukubuyisela emphakathini kwazise iningi labantu lidonsa kanzima njengoba engekho amathuba omsebenzi. Ukubuyela endaweni owazalelwa kuyona uzosiza ezinye zezinto azibeka phambili uNgubane wenkampani yonogada. “Iningi lemindeni lihlala ngaphansi kwesimo esibucayi yingakho ngikhethe ukuthi ngalesikhathi ngizobanikelela ngamaphasela okudla ukuze bakwazi ukuyisa ibhodwe eziko,” esho. Ilinganiselwa kwi-120 Imindeni ehlomulile ngamaphasela okudla kwindawo yaseSangoyana, eNtambanana, lamaphasela okudla ahlanganisa izinto eziningi okuyimpuphu, irice, uflour, isitambu amafutha. UNgubane oqashe cishe abantu abangaphezulu kwama-250 kulendawo uthi unike lemindeni angakwazanga ukuqasha kuyo abantu ngoba uyasazi isimo. Ube esenxusa nohulumeni ukuba asukume asize kwizindawo

IKHASI 7

ezisemakhaya njengoba bebaningi abadla imbuya ngothi. “Ngiyanxusa nakuhulumeni ukuba asukume abheke lezindawo ezisemakhaya iningi lazo eliholwa abantu abadala abahola imali yesibonelelo sikahulumeni,” kusho Ngubane. Lamalunga omphakathi aphinde athola ithuba lokululekwa ngegciwane iCorona Virus eselibulale abantu abaningi emhlabeni jikelele. Njengenxenye yokusiza imindeni uphinde wadlulisela ngezibulali magciwane (Sanitisers) Kanye nensipho. Omunye wabahlomulile uNokuthula Mkhize uthe “sijabula kakhulu ngoba akekho osebenzayo ekhaya njengoba kuneCovid-19 izingane sidinga ukudla, sifisa ukubonga kakhulu kuMyaluza ngasenzele kona,” Lo somabhizinisi uphinde wageza ukuthi labo abasale ngaphandle bazophinde bahlele usuku nabo bakwazi ukuhlomula ngokuthile.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

SKHUMBUZO NZUZA info@sivubelaintuthuko.co.za 067 9208 446 NOKULUNGA MAJOLA Info@sivubelaintuthuko.co.za 072 1792 255 IWEBSITE YETHU www.sivubelaintuthuko.co.za sivubela intuthuko @sivubela intuthuko sivubelaintuthuko B 33 Ten Acre Thembeni Groutville, P.O Box 4473, Stanger 4450, 270 Stamford Hill Road Unit 1 Morningside, Durban, 4000 UMA UFUNA UKUKHANGISA KULELIPHEPHANDABA , SHAYELA 031 822 2602/083 618 4252


IKHASI 8

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

MEYI 2020

Sivubela Intuthuko

EZEMIDLALO

Abadlali batholwe ukuthi baneCorona

Umdlali weBucs uBen Motshwari utholakale ukuthi unegciwane emva kokuhlola THABANI MAPHUMULO ABADLALI ababili bakuleli batholwe ukuthi banegciwane iCovid-19 emva kokuhlola. Umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates uBen Motshwari utholakale ukuthi unegciwane iCovid-19 emva kokukhombisa izimpawu.

“UMotshwari eke waba nezipawu zomkhuhlane ngaphambi kokuba ahlolwe njengoba sekubuya imiphumela iveza ukuthi unegciwane. Lo mdlali usazohlala yedwa izinsuku eziyishumi nane esaxilongwa ngaleligciwane,” kusho isitatimende esikhishwe yiBucs. Khonamanjalo UMdlali osemncane oneminyaka engu-21

Umdlali wasesiswini weBelenenses yasePortugal uSphephelo Sithole naye ohaqwe yicovid-19 uSiphephelo Sithole ongumunye wabadlali abavele kwisikhungo sebhola iKZN Academy utholakale ukuthi uhaqwe yileli gciwane. USithole ogijima eqenjini iBelenenses yasePortugal udlale imidlalo engama-24 Kanti ubuye wabizelwa naseqenjini elikhulu yize engazange adlale. Emdlalweni agcine ukubizwa kuwo ubun-

gomhla ziyisishiyagalombili kuZibandlela ngenkathi leli qembu lidlala ngokulingana neFC Porto. Isikhungo sifisele ukululama okusheshayo kulomdlali. “Sifisela uSithole ukululama okusheshayo njengoba etholakale ukuthi unalolubhubhane,” kusho isitatimende seKZN Academy.

Amaqembu azokwazi ukushintsha abahlanu enkundleni

Amaqembu asezokwazi ukushintsha abadlali abahlanu THABANI MAPHUMULO NJENGOBA amaligi amaningi ehlongoza ukubuyela enkundleni ukuqedela imidlalo ebiphazamiseke ngenxa yobhubhane iCovid-19 inhlangano i-Interna-

tional Football Association Board (IFAB) isamukele isiphakamiso esenziwe yiFIFA sokuba okungenani kushintshe abadlali abahlanu. Lokhu kungezinye zezindlela zokuvikela abadlali ngalesikhathi sobhubhane lwe-

Covid-19. Lo mthetho okungowesikhashana kulindeleke ukuthi uphele mhla zingama-31 kuZibandlela kuwo lonyaka. Lo mthetho obizwa nge Law 3 uzovumela amaqembu ukuba ashintshe abadlali abahlanu iqembu ngalinye. Ukugwema ukuchithwa kwesikhathi amaqembu azovunyelwa ukushintsha kathathu kuphela kanti nangesikhathi sokubuya ekhefini kuzovumeleka. Lo mthetho uzosiza kakhulu kubadlali njengoba bezodlala ngaphansi kwezimo ezahlukene zezulu nokungaba nomthelela ongemuhle kubadlali. Mayelana nokuqhubeka kwalomthetho wesikhashana kuzocaciswa yi-IFAB kanye neFIFA ukuthi uyaqhubeka nakwimidlalo ezophothulwa ngonyaka ka-2021. Lo mthetho kubhekeke ukuthi uqale ukusebenza kusukela mhla kulunye kuJuni 2020, Kanti nohlelo lweVideo Assistant Referee (VAR) lusazoqhubeka .Amaligi afana neyaseGermany asememezele ukuthi kuzoqala ukudlalwa

ngaphandle kwabalandeli, Kanti namanye aseqalile ukuzilolonga kulindeleke abuyele enkundleni maduzane. Lo mthetho uzosebenza kanje: > Each team will be permitted to use a maximum of five substitutes > To reduce disruption to the match, each team will have a maximum of three opportunities to make substitutions during the game; substitutions may also be made at half-time > If both teams make a substitution at the same time, this will count as one of the three opportunities for each team > Unused substitutions and opportunities are carried forward into extra time > Where competition rules allow an additional substitution in extra time, teams will each have one additional substitution opportunity; substitutions may also be made before the start of extra time and at half-time in extra time

031 828 0433 / 082 597 6669

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.