Sivubela Intuthuko Newspaper

Page 1

SIVUBELA Intuthuko

ADVERTISING: 067 920 8446 EPHRELI 2021

FACEBOOK: SIVUBELA INTUTHUKO

SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

LIMAHHALA USHICILELO 60

Isikhwama sikandunankulu sokusiza abahlwempu

Imeya ikhuza iziteleka ezikhungweni zemfundo ephakeme

UMphakathi ubonga uMasipala weTheku ngendawo yokungcebeleka

Amabhokisa asekzn athembisa isibhakela esiqhwiza umentshisi

iKhasi 2

iKhasi 3

iKhasi 5

iKhasi 8

IMeya ikhuza iziteleka ezikhungweni zemfundo ephakeme udaba ekhasini 3.

UMNU Eric Ngcongo iMeya yaseMkhambathini.


IKHASI 2

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

EPHRELI 2021

Isikhwama sikaNdunankulu sokusiza abahlwempu MAGAYE CELE

UNDUNANKULU waKwaZulu Natal, uMnuz Sihle Zikalala osesungule isikhwama sokulekelela imindeni edla imbuya ngothi.

UMnyango nezinhlelo zabaphila nokukhubazeka

UNGQONGQOSHE wezeMfundo KwaZulu Natal, uMnuz Kwazi Mshengu ochaza ngokubaluleka kwezikole zabaphila nokukhubazeka. MAGAYE CELE UMNYANGO weZeMfundo KwaZulu Natal usudalule ukuthi usunezinhlelo ezimqoka kakhulu zokubeka eqhulwini abafundi abaphila nokukhubazeka. Lezi zindaba zidalulwe yiloyo onguMphathiswa walo Mnyango KwaZulu Natal, uMnuz Kwazi Mshengu. UMphathiswa uMshengu uthe njengoba iNingizimu Afrika iyizwe lamalungelo kumqoka ukuba bangashiywa ngaphandle abantu abaphila nokukhubazeka kweZemfundo. “Njengoba siyizwe elithi linamalungelo kumqoka kakhulu ukuthi kungabibikho abantu abashiywa ngaphandle. Kumqoka ukuthi nakweZemfundo kubonakale amalungelo abaphila nokukhubazeka ehlonishwa,”usho kanje. UMphathiswa uMshengu ukushayele elikhulu ihlombe lokhu ukuvulwa

ngokusemthethweni kwesikole, iPholela Speicial School esakhiwe endaweni yasemakhaya eBulwer. “Ukwakhiwa kwePholela Special School kuyasithokozisa kakhulu ngoba kuhambisana kakhulu nokuhlonishwa kwamalungelo abantu abaphila nokukhubazeka. Kumqoka ukuba abantu abaphila nokukhubazeka bahlonishwe futhi kuqinisekiswe ukuthi bazizwa bamukelekile,” usho kanje. UMphathiswa Mshengu uthembisile ukuthi kusazoya ngamagama enkehli njengoba kwisabelo mali abesethula bathembisa ukuthi nezikole zabaphila nokukhubazeka angeke bazivalele ngaphandle. Ukuzibophezela koMnyango wezeMfundo waKwaZulu Natal ekwesekeni abaphila nokukhubazeka uthe yinto esazoqhubeka isikhathi eside nje impela. Lokhu uthe kufakazelwa nawukuvulwa futhi kwesinye isikole sabaphila nokukhubazeka esisesiFundeni, iHarry Gwala esibizwa ngokuthi uMzamo Special School. “Zonke lezi zikole sizokwenza konke okusemandleni ethu ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi ziba seqophelweni eliphezulu. Abaphila nokukhubazeka kumqoka kakhulu ukuba sibazise futhi kumqoka kakhulu ukuba siqinisekise ukuthi bathola imfundo yeqophelo eliphezulu,” usho kanje. Eqhuba uveze ukuthi zingu-75 sezizonke izikole zabaphila nokukhubazeka asebezakhile kamuva nje. Uthe zingu-19 700 izingane eziphila nokukhubazeka ezihlomulayo ngokuvulwa kwalezi zikole. “Lezi zikole zihlanganisa abafundi abakhubazekile ngezindlela ezahlukene.

UNDUNANKULU wesiFundazwe saKwaZulu Natal, uMnuz Sihle Zikalala usesungule isikhwama asichaza njengesimqoka njengoba ethi sizokwazi ukuthi sibhekelele izidingo ezimqoka lapho okunesidingo khona. Ukwethulwa kwalesi sikhwama uMnuz Zikalala ukuchaze njengesibani esizomkhulula naye uqobo. Uthe kwesinye isikhathi bekuze kudingeke ukuthi agcine esekhipha kwelakhe iphakethe uma sekufanele alekelele abantu abadinga usizo baKwaZulu Natal. Nakho lokhu uthe kumgqugquzelile kakhulu ukuthi abhukule kube khona akwenzayo ngenhloso yokubhekana ngqo nalesi simo asichaze njengebesingesihle. Udalule ukuthi ukuhamba kozakwabo kwipolitiki beshiye izingane zabo zisencane nakho kumenze wabona kumqoka kakhulu ukuba asungule lesi sikhwama. Uthi kwesinye isikhathi bekuze kudingeke ukuthi lezo zingane ezishiywe ngozakwabo kube khona akwenzayo ngenhloso yokuzilekelela ukuze

zibe nempilo engcono. Uveze ukuthi lezi zingane kwesinye isikhathi bezike zidinge izicathulo zesikole kanjalo nemifaniswano. Konke lokhu uthi bekugcina kungenelela yena ukuze abantwana bagcine belutholile usizo.“Ngikholwa ukuthi lesi sikhwama sizokwenza umehluko omkhulu. Ngifuna ukuqinisekisa ukuthi lesi sikhwama esisungulwayo namhlanje silekelela kakhulu labo okuyibona ngampela abadinga usizo. Inhloso yaso ukuthi kucashunwe kusona njalo uma kukhona abadinga usizo olumqoka kusona,” usho kanje. UMnuz Zikalala ubekhuluma kanjena phambi kosomabhizini ebehlukene ebebekade bezozimazisa umsebenzi abewethula ngalolu suku. Eqhuba okaKhuzeni uthe kulokoza inhlansi yethemba ngalesi sikhwama. Loyo onguMphathiswa wezokuThuthukiswa koMphakathi eNingizimu Afrika yonke, uNkk Lindiwe Zulu uphonsele labo abazobe bebhekelele ukusebenza kwalesi sikhwama ukuba benze isiqiniseko sokuthi sisetshenziswa ngendlela enobulungiswa.

Izinhlelo zetheku zokuvuselela ezokuvakasha

UMNUZ Thulani Nzama oyiNhloko yoPhiko Lokwesekwa kwamabhizinisi, ezokuVakasha kanye nezeziMakethe kuMkhandlu weTheku. MAGAYE CELE LOYO oyiNhloko yoPhiko Lokwesekwa Kwamabhizinisi, EzokuVakasha kanye Nezezimakethe, kuMkhandlu weTheku, uMnuz Thulani Nzama uthi iDolobha limatasa nezinhlelo ezimqoka kakhulu zokuvuselela ezokuVakasha. Lokhu uthi kuyinto emqoka kakhulu futhi athi akangabazi ukuthi izothela izithelo ezinhle kulo Mkhandlu obalwa neminye yemikhulu eNingizimu Afrika yonkana kanjalo nasezwenikazi i-Afrika. Ukuvuselela eZokuvakasha kulo Mkhandlu uthi kuyinto eseqhulwini ikakhulukazi njengoba umnotho usabhekene nengwadla yokuzika okubangelwe ukuvumbuka kwegciwane leCorona

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

isigubhukane. Uthe: “Kumqoka kakhulu ukuba uMkhandlu weTheku wenze konke okusemandleni ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi ezokuVakasha zibuyela esimweni esejwayelekile. Phela eZokuvakasha yizona engikholwa ukuthi ziwumgogodla omkhulu wokuqinisekisa ukufukulwa komnotho weDolobha.” UMnuz Nzama uveze nokuthi sebesifakile isicelo sokuthi leli Dolobha kube yilona elinikezwa igunya lokuba lisingathe iTourism iNdaba minyaka yonke. Loyo oyiMemenja enkulu yehhotela elikhulu nelihlonishwayo, iBeverly Hills, uMnuz John Aritho uthe kumqoka kakhulu ukuba uMkhandlu weTheku ubhukule kube khona okwenzayo ngenhloso yokuvuselela umgqigqo wezokuVakasha. Uchaze ezokuVakasha njengomgogodla wezokusimamiswa komnotho kwiDolobha iTheku. Kuzokhumbuleka ukuthi ngaphambilini iMeya yeTheku, uKhansela Mxolisi Kaunda yathi iDolobha iTheku linamathuba amaningi kakhulu namahle okuvuselela umnotho wezokuVakasha. Wathi iTheku linezindawo eziseqophelweni eliphezulu zokusingatha izingqungquthelo zeqophelo lomhlaba, izindawo zokugcinwa kwamagugu, izinhlelo zokujabulisa izivakashi kanye neZemidlalo. Konke lokhu wathi kwenza iDolobha iTheku libe sethubeni elihle lokukwazi ukufukula umnotho lisebenzisa eZokuvakasha. Ezokuvakashela amabhishi kanye neZemidlalo ngezinye zezinto uMkhandlu weTheku okuvela ukuthi ufuna ukuzisebenzisela ukubuyisa umnotho ozinzile weDolobha.


EPHRELI 2021

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 3

IMeya ikhuza iziteleka ezikhungweni zemfundo ephakeme

TSEPO MOTLOKOA

IMEYA kaMasipala waseMkhambathini uMnu Eric Ngcongo iyale abafundi abaphumelele ngamalengiso kumatikuletsheni nyakenye ngo-2020 eCamperdown Circuit ukuthi bayobe bedicilela isithunzi sikamasipala ewuholayo uma ibabona behamba phambili emibhikishweni yasezikhungweni zemfundo ephakeme ngoba akusilona usiko lukamasipala wabo ukukhuthaza imibhikisho. UMnu Ngcongo ubekhuluma eCamperdown Primary School emcimbini wokuklomeliswa kwabafundi abaphase kahle nyakenye abebenikezelwa ama-tablet, izitifiketi nezindondo obuwenziwe yilo masipala ngokubambisana nobuholi beCamperdown Circuit noMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal obumelwe ngowukhulumelayo uMnu Muzi Mahlambi. Ekhuluma nabafundi abebehambele lo mcimbi uMnu Ngcongo uthe bewumasipala bazibeke phambili izinhlelo zezemfundo ukwakha isizwe esiphumelelayo. Enkulumeni yakhe ucele zonke izinhlaka

UNTUTHUKO Miya noKwanda Ngidi abebefunda eBanqobile High School bephahle uNoluthando Zondi obefunda eNobhali High School bephethe izipho abaziphiwe ngumasipala wabo. zomphakathi ukuba zilekelele abafundi ngazo zonke izindlela uma bedinga ukwelulekwa ngezifundo zabo. “Ngicela siqinise umkhankaso wokukhethisa kahle abafundi imikhakha abazoyifundela bangambondelani emkhakheni owodwa.

Siyafisa ukuthi ngelinye ilanga umasipala wethu eMkhambathini ube ne-town planer engeyokuzalwa kule ndawo. Amadolobha amaningi kawahlelekile kahle ngoba akhiwa ngesikhathi sasendulo abantu bengakabi baningi. Bafundi qikelelani

ukuthi uma senilaphaya ezikhungweni zemfundo ephakeme kanibi wuvanzi nize nikhohlwe ukuthi niphume emakhaya niyokwenzani. Qhelani kule mibhikisho enodlame egcina icekela izinto eziningi. Fundelani ukuvusa imizi yasemakini ukuze abazali baziqhenye ngani noma sebelele,” kuyala uMnu ngcongo. Ekhuluma egameni labafundi banyakenye uPhethenhle Colvelle obefunda e-Uminathi Christian College owenza i-bachelor of Science e-University of KwaZulu-Natal ubonge othisha babo abebebaqinisa idolo befunda bevika ne-coronavirus. Ufisele ukulala okuhle kubona bonke abafundi abaye bashona ngenxa yokuhaqwa yileli gciwane nyakenye. Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ubonge othisha nabafundi ngokubekezela nyakenye njengoba izwe liye laphazamiseka ngokubheduka kwe-COVID-19 lagcina livalwe thaqa. Ubabonge nangesibindi njengoba beye babekezela noma bezibuye zivalwe izikole ngoba sekukhona osuleleke nge-coronavirus kothisha nakubafundi.

Uqophe umlando owesifazane ngenkampani exuba amakhemikhali

UNKSZ Nomandla Ngcoya eseduzane kukaMnu Ravi Pillay kusikwa i-ribbon kuvulwa isakhiwo sakhe. TSEPO MOTLOKOA UCHONYWE uphaphe legwalagwala owesifazane osemncane waseMgungundlovu oqunge isibindi wavula inkampani ekhiqiza izibulali-magciwane nemikhiqizo yokuhlanza enhlobonhlobo okungaba izitsha, izimoto nezindlu phansi. UMnu Ravi Pillay ophathiswe uMnyango wokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natal uhalalisele uNksz Nomandla Ngcoya ovule inkampani ebizwa nge-D Chem Group ezinze enkabeni yedolobha laseMgungundlovu esebenzisa ulwazi lwakhe lwe Chemistry njengoba efunde wagogoda e-University of KwaZulu-Natal ngalo mkhakha. UMnu Pillay obeyisimenywa

esiqavile ekuvulweni kwale nkampani ubonge isibindi esikhonjiswe nguNksz Ngcoya evula le nkampani. Umfanise nomufi uNkk Charlotte Maxeke owayelelwela ukubona abesifazane bephumelela. “Ukube lokhu ukwenze ngesikhathi sokuphila kukaNkk Maxeke nginesiqiniseko ukuthi ngabe uyaziqhenya ngawe. Lokhu okwenze namhlanje kufakazele iziyalo ezishunyayelwa nguMnu Sihle Zikalala uNdunankulu waKwaZulu-Natal kokufukula umnotho wesifundazwe. Namhlanje sizoba ngofakazi ngesikubonile futhi okusihlabe umxhwele esifundazweni sethu. Sizwile ukuthi kule nkampani sekunabantu abaqashiwe lokho esikukhuthaza kakhulu siyisifundazwe saKwaZulu-Natal,” usho kanje.

LENA ngeminye imikhiqizo yase-D Chem Group. UMnu Mthobisi Khumalo oyiMenenja yeDevelopment Services kuMasipala waseMsunduzi uthe umasipala wabo usekhaleni lokulekelela osomabhizinisi abancane ngokuthi ufake isandla lapho kudingeka khona. Uthe lesi yisiqalo esihle sikaNksz Ngcoya ngakho bewumasipala kumele bamfukule futhi bameseke. Naye uncome isibindi asikhombisile ngokuvula le nkampani futhi ebe ezixubela yena amakhemikhali ukuze lokhu akufunayo kuphumelele. “Osomabhizinisi abancane bahlezi bebambe iqhaza elikhulu enthuthukweni yaseMgungundlovu. Ngokubakhona kwale nkampani siyazi ukuthi kwanda amathuba okuqashwa kwabantu abasha lokho okwandisa namathuba omsebenzi. Umasipala waseMsunduzi

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

ngaphansi kobuholi bukaMnu Mzimkhulu Thebolla buzishaya isifuba ngale ngqophamlando yale nkampani,” kusho yena. UNkk Ngcoya ongumqondisi wayo le nkampani iD Chem Group uthe ushiye izinkampani ebezifuna azozisebenzela ebezimthembisa itshel lemali ngenyanga njengoba kukhona ebezibeka oR70 000 ngenyanga kodwa waqoma ukuziqalela okungokwakhe. “Leli bhizinisi ngiliqale ngoR1200 ngoba benginombono omuhle ngalo. Ngifuna likhule likapakele nakwamanye amazwe angomakhelwane beNingizimu Afrika. Ngibonga ukwesekwa yibona bonke abantu abebengemva kwami kusukela ekhaya, abangani nabafundi nabafundisi base-UKZN eMgungundlovu,” ubeke kanje.


IKHASI 4

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

EPHRELI 2021

UMkhandlu weTheku nohlelo lokuxhumana nomphakathi ngezinhlelo zawo MAGAYE CELE IMEYA yoMkhandlu weTheku, uKhansela uMxolisi Kaunda ihambele umphakathi waseMnini, eMgababa ngenhloso yokuxhumana nalo mphakathi mayelana nohlahlomali olusahlongozwa luka2021/2022. UKhansela uKaunda ukhulume nangohlelo olumqoka kakhulu oluqhubekayo olubizwa ngokuthi yi-Intergrated Development Plan nolunye olubizwa ngokuthi yiSpatial Development Framework. Zombili lezi zinhlelo ziyaqhubeka kuyona le ndawo. UMeya weTheku ngalolu suku wethulele amalunga omphakathi waseMnini uhlahlomali olulinganiselwa ku-R52, 3 billion. Lolu hlahlamali uthe akalwethuleli nje abantu baseMnini kuphela kodwa nabavela ezindaweni ezahlukene ezakhelene nale ndawo. Lolu hlahlomali lumayelana nokwenza ngcono izimpilo zabantu kanjalo nokuletha uzinzo lwangempela emphakathini wabantu. UKhansela uKaunda uthe akangabazi ukuthi lolu hlahlomali luzobuyisa ithemba ngempilo kubantu abaningi bakule ndawo. Uchaze lolu hlahlomali njengolumqoka kakhulu ikakhulukazi kulesi sikhathi esibucayo kangaka sokuzika komnotho mawala okubangelwe ukuvumbuka kokhuvethe lweCorona okuthikameze

izwe lonke, yizwekazi i-Afrika kanye nomhlaba nje wonkana. Ngalolu suku uMeya uKhansela Mxolisi Kaunda unikezele ngosizo lwezindlu emindenini engu-15 yaseKingsburg West. Ukunikezelwa kwabantu ngosizo lwezindawo zokuhlala uthe uhlelo olumqoka oluseqhulwini kuMkhandlu weTheku. Kuhlakukile lapha ukuthi ukwethulwa kohlahlomali olungakaphothulwa kusazoqhubeka kwethulwe nakwezinye izindawo ezakhele iDolobha iTheku. Lokhu uMeya uKhansela Mxolisi Kuanda uthe kuzoqhubeka kuze kube usuku lokugcina lomhlaka-15 May. UKhansela uKaunda ukuchaze njengento emqoka kakhulu ukuxhumana nomphakathi ikakhulukazi mayelana nezinhlelo zoMkhandlu. “Sihlose ukuthi sixhumane nabo bonke abantu mayelana nezinto ezahlukene eziqhubekayo emphakathini. Phakathi kwezinye zezinto esixhumana ngazo namalunga omphakathi kumayekana nokwakhiwa kwezindlu, ukulungiswa kwemigwaqo kanye nokunikezelwa kosizo lwamanzi emphakathini wabantu,”echaza. Esephetha uMeya uKuanda uthe kumqoka kakhulu ukuba abantu bathole ithuba lokuphefumula mayelana nohlahlomali oluthinta bona ngqo. “Lokhu esikwenzayo namhlanje kokuxhumana nabantu yinto emqoka kabi. Akusiyona inkulumo ngxoxo nje engatheni,’’ephetha.

uMeya yoMkhandlu weTheku uKhansela uMxolisi Kaunda eyothula uhlahlomali luka 2021/2022

Esithombeni uMeya uMxolisi Kaunda enika ilunga lomphakathi itayitela

Lwethulwe ngomsemthethweni uhlelo lomphakathi lwentuthuko

UNGQONGQOSHE wzokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza. MAGAYE CELE SELUKAPAKELE naKwaMaphumulo uhlelo lwezinsiza zikaHulumeni olubizwa ngokuthi yi-Operation Sigalelekile. Lolu hlelo lwethulwe ngokusemthethweni

endaweni yaseMathafeni, KwaMaphumulo enyakatho yeKwaZulu Natal. Belwethulwa yiloyo onguNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu Natal, uMphathiswa, uNkk Nonhlanhla Khoza.

UMphathiswa uKhoza ufike kule ndawo ekhashwa ngabasebenzi bakwaSouth African Social Security Agency (Sassa) ebebezosiza abantu bakwaMaphumulo ukuthi bakwazi ukufaka izicelo zabo zezibonelelo kuhulumeni. Bekukhona noSonhlalakahle bona ebebematasa belekelela labo abafuna ukubhalisa. Inhloso enkulu yohlelo i-Operation Sigalelekile ukuqinisa ukuxhumana okuhle nokunesisekelo phakathi kwamalunga omphakathi noHulumeni wesiFundazwe, ngokusho kwakhe uNkk Khoza. Uthe kulokoza inhlansi yethemba ngokuthela izithelo kwalolu hlelo aluchaze njengolumqoka kakhulu kubona njengoMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi esiFundazweni, iKwaZulu Natal. Udalule ukuthi lo Mnyango umatasa nezinhlelo ezinqala zokuzihlela kabusha ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi ukusebenza kwawo kuba wusizo olukhulu kuwona wonke amalunga omphakathi akhona KwaZulu Natal. Echaza uMphathiswa uKhoza uthe: “SiwuMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi sizisezinhlelweni ezimqoka kakhulu zokuba sizihlele kabusha. Lokhu sikwenza ngoba sihlose ukuqinisekisa

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

ukuthi izidingo zomphakathi ziyafinyelela kuwona.” Eqhuba uMphathiswa uNkk Khoza udalule ukuthi ziningi kakhulu izikhalo asebezitholi ezivela emphakathini ezimayelana nokufakwa kwezicelo zezibonelelo zikaHulumeni. Uthe yingakho nje kuzona zonke izindawo abazozihambela bezokwenza isiqiniseko sokuthi bafika behambisana nabaKwaSassa kanye noSonhlalakahle. “Okuyikhona okusijabulisayo kakhulu ukuthi abantu babonakala beluthokozela kakhulu lolu hlelo. Konke lapho esifika khona abantu kuyabonakala ukuthi bebeludinga ngampela uhlelo olufuze lolu,”usho kanje uNkk Khoza. UNkk Khoza utshele izisebenzi zalo Mnyango ukuthi siphelile nje nya isikhathi sokunethezeka emahhovisi baphenduke nezihlalo ekubeni amalunga omphakathi ebhekene nezinselelo eziningi lapha ngaphandle. Ugqugquzele izisebenzi zakhe ukuba zingazitheli ngabandayo kodwa kunalokho zibhukule ziqinisekise ukuthi zenza konke okusemandleni azo ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi lo Mnyango uyakwazi ukwenza wonke umsebenzi wawo ngempumelelo.


EPHRELI 2021

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 5

BNY G 2 O 0 3- 02 E0T 3H 0 E K WI ITN H I W F ROI CBA E ’S M A R I NN GG A A BML EB IC ILT IY E IKL LU B EL IA Y L OI SNT GC U QNAD LPI VHE A

UMphakathi ubonga uMasipala Uhlelo lwe-Academy of Learning EThekwini Municipal weTheku ngendawo yokungcebeleka lunika ulwazi namathuba amaningi Academy IZINHLELO:

K

UBAFUNDI abanikwa imifundaze, A. COOPERATIVE noma abangena EDUCATION ohlelweni lokufunPROGRAMMES: dela imisebenzi, Lolu hlelo ludidiyela ulwazi lokhu kufana nokubamba lwemfundo lwasesikoleni ijekphothi. nalolo lwasemsebenziUkuqeda le nkoleloze ni uqobo. Uhlelo lusiza ethi iziqu ezingenasipiliabasanda kuqeda iziqu yoni zifana nephepha nje zabo nalabo asebezoqeelingasho lutho, kungesinye da izifundo zabo ukuba sezizathu ezinkulu ezadala bathole isipiliyoni somseukuthi idolobha lisungule benzini. i-EThekwini Municipal Academy (EMA). I-EMA B. LEARNERSHIPS: ithathwa njenge ‘big brother’ Lolu hlelo lufaka izifundo kubafundi ngokubanika zolwazi kanjalo nesipiliyamakhono afanele anomoni sokwenza umsebenzi thelela omkhulu, imifundauqobo wohlobo oluthile, ze, ukufunda umsebenzi, isikhathi esithile oluzosiza noqeqesho lwasemsebenukuba umfudi athole iziqu zini oludingekayo ukuze ezisemthethweni ezibhalAbabambiqhaza bangaphambilini bohlelo lokuqeqeshela amakhono ezokucisha umlilio, iFirefighters umfundi aqedele izifundo iswe kwi-South African Skills Training Programme, ehlinzekwa wuhlaka lwezemfundo i-eThekwini Municipal Academy. zakhe – lokhu nje okumbalQualification Authority wa emathubeni ahlinzekwa (SAQA). yi-EMA.UNKSZ Mandisa Dlamini oyindodakazi kaGugu Dlamini Esithombeni amulungu omphakathi ezipholele e-workshop I-EThekwini Municipal C. SKILLS Academy (EMA) igxile PROGRAMMES: ekufundeni nasekuthuthukeLezi izinhlelo ezihambisana ni njengoba izama ukuba nomsebenzi othile futhi isikhungo sokufunda esiuma seziqediwe, zizokhamba phambili komasipala wakha izifundo ezibhaliswe bonke base Afrika, sokwenza kwi-National Qualification kahle, sokuqamba okusha, Framework (NQF). Ngaphesokufunda nokuthuthuka. Siphesihle Myeza owathola Abongile Luthuli, Siyanda Cebekhulu, Thobile Cele, zu kwalokho, ukwakheka Umnyango wakwa-EMA unumfundazwe wobunjiniyela osohlelweni lokubeka istini osohlelweni kwe-Graduate osohlelweni lukagesi nokwenziwa kwazo kufaka enqwaba yezinhlelo ezifaka Work Experience ukubambisana phakathi ukufundisa intsha nabadala kwabaqashi nabahlinzeki Isibonelo esihle semiOmunye onamaphUThobile Cele, wathola ngamakhono olimi nezibaphumela yemisebenzi uphonjengoba amakhulusesikwazi afisa ngamathuba akwa-EMA USiyanda Cebekhulu TSEPO MOTLOKOA khulu nogogo bethu inkululeko ngeyabantu bonke njengokusikhumbuza bemisebenzi. ngokubaluleka kokuzazi lo, ukukhuthaza ukufunda yakwa-EMA umfundaze ukuwabona ephumelengokufunda EzaseGagasiusohlelweni ngomsebenzi, amabhizukuzihlalela edolobheni singabuzwa ipasi ba zingekho lakwa-EMA izindawo kuleli dolobha isimo sempilo yethu. Sasungula iGugu D. APPRENTICESHIPS: owanikwa uSiphesihle la, u-Abongile Luthuli ni Metro, okuyiphephandlwabafundi abasanda inisi amancane, izinhlelo Lezi yizinhlelo ezihambisaABAHLALI baseTh ekwini baphakamisa nesipesheli. Futhi siyazi ukuthi naleli paki okuthiwa ngezabohlanga oluthize lodwa. Dlamini Foundation esebenzela khoMyeza (22) njengamanje obhalise ohlelweni aba loMkhandlu. UCele kuqeda iziqu zabo iGzokuqeqesha eziphakanynalanomsebenzi othile uma ifulegi likaMasipala weTh eku abawutulinomlando ojulile njengoba liqanjwe Siyazizwa izithelo zenkululeko lapha na lapha ekhaya umama abulawelwa osebenzela uMasipala lwakwa-EMA lokubeka wafaka isicelo sokuba raduate Work Experience iswe ngabasebenzi, amaNseziqedile zakha izifundo kwaRoads and ngaye Stormwater istini (Bricklaying Apprenyingxenye yohlelo lwakwa Programme. Njengamanje GO kanye nomphakathi. sa ngokuqinisekisa ukuthi inkululeko uGugu Dlamini owayengomunye eTh ekwini kanjalo nezindawo ezihehayo khona ngoba sifuna ukufundisa abantu ezibhaliswe kwi-National Maintenance Office (Westtice Programme). Abak- EMA lwe-Electrical Apusebenza njenge-Project Ukulungisa nokukhuphula Qualification Framework eyatholwa yileli lizwe ngonyakaern ka-1994 wabantu ababelwela inkululeko yezempikwizivakashi ezihambela leli dolobha, ” kabanzi ngaleli gciwane. Sibonga umasiRegion). “Amagama wa-EMA basiza lo mhlali prenticeship Programme. Administrator (Graduate) izinga lokufinyelela ezinhlel(NQF). kayikhethi iphela emasini njengoba lo njengoba akhandwa ngamatshe ngoba ubeke kanje. pala weTh eku ngokwenza umuzi wakithi angeke aveza ngokwanele oneminyaka engu-25 Waqala ukufunda ngomngaphansi kwaka-EMA weni eziqondene nemiseukuthi ngibonga kan- esidlangaleni waseMlazi ukuba azakhele sebenzi 2019sezokuvakasha lapha eThekwini,” ohlelweni lwaboPark lwe- enedumela benzi nakho kungumsebenzi inikeza wonke umuntu ithuba lokudla edalule ukuphila negciwane IGugu Dlamini eThe-wakhe ngo isizinda E. SUPPORT BASED gakanani kuMasipala isisekelo esiqinile ngokufuthi uma konke kuhamOutreach and Capacity wakwa-EMA. PROGRAMMES: izithukuthuku zamaqhawe ayehamba lesandulela-ngculazi, ” ushokulolu kanje.hlelo. kwini yaqanjwa emuva kokubulawa usho kanje. ngokunginika umfunmamukela ba kahle, uzoqeda lolu Building Department. INhloko yakwa-EMA: Dkt Abakwa-EMA basebenza phambili elwela ukubona umuntu omnyaUZandile Shozi (25) waseClermont utuse kukaNksz Gugu Dlamini waKwaMashu Ekhuluma nephephandaba uMnu dazwe. Unginike ithuba Emva kokuqeda izifundo hlelo ngo 2022. Abafundi UCebekhulu wenza izifunMpilo Ngubane uchaze kanzima ukuqinisekisa emibili ze-Civil be-Electrical do zeBachelor’s Degree ma ephunyukile emaketangeni lokufingqa obugqila imikhono inhlanzeko ayifizeminyaka ce eGugu Dlamini ethi wabe sewuhlonipha leli qhawekazi ngaleli Engineering Msawakhe Mayisela okhulumela wathi: “Ukungaqashwa ukuthi abahlali bayakwazi ngithole isipiliyoni Engineering, ezazifaka bathe ithuba abalinikwa in Correctional kwentsha, ikakhulukazi bukahulumeni wobandlululo. yami, ibenza bazizwe bamukelekile kuleli dolopaki eselidume Studies izwe lonke elisenkabeni uMasipala waseTh ekwini uncome ukuthola ulwazi ngamathusomsebenzi nokwasiza nokubeka istini nokuplasabakwa-EMA liyivela (Justice System) kanye abafundi abaqede iziqu zabo, Iphephandaba lihambele ipaki lodumo bha. “Le paki ingenye yadumile eTh ekwiyedolobha iTh eku. izinhlelo zikamasipala wabo zokuphumeba nezinhlelo zokufunda kakhulu eziqwini zami tela, wangena kwa-EMA. kancane. “Ngingumuntu ne-Postgraduate Diploma kuyaqhubeka nokuba inseleLokhu uhlelo lwakhe ozibambelayo. Ngiyawuin Community Devel-Dlamini uMandisa elise-workshop iGugu Dlaminize-BSc Park Civil Engineering ni futhi okulula Uqale ukuhlanganela kuyona Indodakazi kaGugu la emphakathininokuqeqeshwa. owakhele lo mkhandlu lo kuMasipala waseThekwini. kuzosiza abahlali ukuba baDegree (University of lokufunda lweminyaka jabulela umsebenzi opment Ongoye. Uthe Uma kuqashwa, izinkampani likhuluma nabantu ngenhloso yokuznomuntu lapha eThekwini ngoba ipheithi iswele imilomo yokubonga uMasipala ukhuthaza abantu ukuzigcina bephilile bambe iqhaza ekuthuthuKwaZulu-Natal). Ngapheemithathu ngo-October owenziwa ngezandla, ukuba yingxenye yohleeziningi zidinga abafakizicewa uvo lwabo ngenkululeko njengoba phile futhi isenxanxatheleni SiwaseTh ekwini ngokuhlonipha amagalelo nokuzazi isimokisweni sempilokwamathuba yabo. zu kwalokho, umfundaze 2020. “Ithubayezitolo. uMasipala ukwenza into isebenze lo lwe-Graduate Work lo abanesipiliyoni ngakho omnotho, kube kwakhiwa omkhuluyawubonga umthwalo umasipala waseThekwini angiphe noma isebenze Utuse kangcono. iNingizimu Afrika ngale nyangaususe ka-April ngokusihlinzekela kanina osebalwa namanye amaqhawe isibindi sikaGugu Dlamini Experience kuyithuba ukuthuthukiswa kwamakabasebenzi abanamakhowezezimali kimi, kufanele lona, lingaphezu kwemaNgifuna ukuba ngumuntu elihle lokuthola isipiliyhono indima enkulu engu-27 izobekudlala ihlanganisa iminyaka ngezindawo ezifana nalezi ezikhululekile ayelwela inkululeko eNingizimu Afrika sokuziveza isimo no.sakhe naphezu kokuba ngabe ngicwile ezikweli. Bengifuna ukuthola osebenza ngogesi kanti oni somsebenzi njengoukubhekana namazinga yathola inkululeko emuva kwengqesitholayo ukuthi zinomlando ngokwakhnoma yena wayesohlangothini lwezemagcina esebulewe. Ukushayele ihlombe letini, kepha ngenxa yalo uqeqesho oluyilonalona amagama awanakuchaza muntu omncane osanda aphezulu okungaqashwa ophamlando yokhetho lwentando yeningi iwa kwazo njengoba ziqanjwe ngabantu pilo. UMandisa wayeneminyaka engu-13 ukukhululeka kwabantu ekuzivezeni mfundaze, ngiyakwazi ngifunde nakho konke ukuthi ngibonga kangakuqeda izifundo zakhe. kwentsha kanye/noma ukunakekela umndeni okuyisisekelo okudingkanani kwabakwa-EMA “Emnyangweni wami, ngonyaka abasanda kuthola iziqu olwalungomhlaka 27 April ngonyaka bakithi abamnyama, ” kusho yena. mhlaka 16 December ka-1998 isimo sabo ngoba lokho kukhuthaza wami,” kusho yena. ekayo ngokwakha ngokubona leli thuba ngenza imisebenzi ethinta zabo.” ka-1994 lapho abantu babezikhethela UMnu Mandla Bhengu waseMlazi kubulawa unina yena owayeneminyaka nabanye kungabi sengathi kuphilwa Njengomntwana, uMyeza isakhiwo(58) ngisisuse phansi. kimi. Umfundi we-Elecumphakathi. Ngisebenza Ngokuhambisana nokngokwabo iqembu abafuna libahole owafi ka emncane eTh ekwini ezofuna engu-36. UMandisa onguSihlalo weGugu emihlabeni ehlukene. “Izinhlelo zethu wakhombisa uthando Abakwa-EMA banginike trical Engineering uthe kumaphrojekthi asemiuphokophelwe ngu-EMA, olukhulu lokudweba, in- esuka ulwazi lokuthi lezi ezinye abakwa-EMA phakathini, ukufundisa kuhulumeni. umsebenzi eDundee ukhumDlamini Foundation uthi kuningi okuhle bavuthela siwumasipala waseThekwini zibeka uMasipala uzimisele gqalasizinda, ukudizayna izifundo zihambelana fuinhlansi kuye yokuba enze ngezifundo ezingathathwa ukuhlinzeka ngamasu UMondli Mfeka (38) waseMawoti okhubule izikhathi zaphambilini lapho ethi asebekwenzelwe wuMasipala waseTh ephambili impiloNGOLUNYE yabantu. Sakhuthazeka ULWAZI nokwakha – ngamathoyizi thi zisebenzisana kanjani kangcono ukuze enze umabantwana, ukuthuthukiahlukahlukene okuthuthulume naleli phephandaba obezipholele babephoqeleka ukuphatha ipasi uma kwini bewumndeni wakwaDlamini kuhngesikhathi iSilo esisanda NABAKWAkukhothama XHUMANA akhe! Uthe konke kwaqanezami,” kusho uLuthuli. sebenzi oyiphupho lakhe. sa amakhono nokufundisa kisa abasebenzi nokuba EMA: kaBhekuzulu siqala la lapho, kanti ukuvula ngenzinhlelo zokufunda epaki uncome ubuholi bezofesa edolobheni kanye nencwalanganisa nokwenza umuzi wakubo i-Mu- uGoodwill Zwelithini nobambiswano nabanyebukaMasipala enye ngomsebenzi, nje yizivakashi abantu. Lokhu kumayelana 221 Anton Lembede Street weseThekwini ngokubahlinzekainkampani ngez- yakhe di yesibonda sendawo emgunyazayo seum njengobaukubala uhanjelwa umkhankaso wokusokwa kwabesilisa. yezinhloso zakhe ezinkulu. okumbalwa”. nokwakha isiko lokuhlala Shell House indawo zokungcebeleka futhi ezinomukuza edolobheni. “Bekunzima kithina ezisuke zize eTh ekwini ezifundayo ngemNamanje siyagqugquzela kubantu kufundwa. Abakwa-EMA (11th Floor) lando njengayo iGugu DlaminiEkhuluma Park phambilini ngoba sikhule ubandlululo pilo kanina. “Siwumndeni sibonga iqhaza ukuzigcina bephilile bese abathatha ngokuqala eziningi eziyimpumelelo bayazama ukufukula izinkusewaziwa njengesikhungo sokufunda nokuthuthuka Tel: 031 311labo 3192 kwesikhathi ezisebenze njengethuluzi lungwane zabahlalikuyona. baseThesokufunda ezingeni lomhlaba,” kusho aficwe ezipholele “Siyazi ukuthi sokufunda lusadla lubi kodwa siyabonga namhlanje elabanjwa esihamba wumama eziveza nokuphila imishanguzo baqhubeke nayo ngoba sikanam2021, uMeya uKaunda elikhuluSibonga lokukhulisa kwini kanyeliphuma nabasebenzi komasipala bonke uMeya. izwe lethu kuphi kodwa ukuthi sesakhululeka. uMasipala phambili nengciwane lesandulela ngculazi. Uma si- igciwane lisekhona futhi liyabulala,” usho ngokubahlinzeka ngezinhle- uthe: “Eminyakeni eyedlule, nokuthuthukisa ezemfundo. base Afrika, sokwenza hlanje sidla izithelo zokunqoba kom- uqalewaseTh ekwini Umnyango ngokuqinisekisa ukuthi bona loluya phawu oluse-workshop lokho kanje. uMasipala izinhlelo wakwa-EMA lo zamakhono anomthelela kahle, sokuqamba okusha, empilweni yabo.

“Sibonga uMasipala weTheku ngokwenza umuzi wakithi isizinda sokuvakasha”

ASILWE NOKUBHEBHETHEKA KWE COVID-19

1.5 metre

HLALA UPHEPHILE KWI C VID-19


IKHASI 6

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

EPHRELI 2021

IMeya yaseMsunduzi icela ukuthula edolobheni laseMgungundlovu

UMNU Mzimkhulu Thebolla imeya yaseMsunduzi wesine ephahlwe yithimba lehhovisi lakhe nelaseMPTA. TSEPO MOTLOKOA

ICHIPHIZE izinyembezi imeya kaMasipala waseMsunduzi eMgungundlovu uMnu Mzimkhulu Thebolla ikhuza isihlava esihlasele eMgungundlovu esesiphenduke insakavukela umchilo wesidwaba sokubulawa kuphidelela kwabantu

okungenisile kuleli dolobha okuvela ukuthi sekuyajwayelekile ukutholakala kwezidumbu zidindilizile emigaqweni yedolobha. Ekhuluma neSivubela Intuthuko uMnu Thebolla ngezinhlelo zaseMsunduzi zokukhuthaza ukuphepha ucele amakholwa ebandla likaKhristu ukuthi lapho ezobe ehlangene khona

ezinkonzweni angakhohlwa ukucela uSimakade ukuhlenga abantu baKhe abangabahlali baseMsunduzi ezimpisini ezibasobozelayo kulezi nsuku. UMnu Thebolla ucele abantu abazobe abavakashela eMgungundlovu nomphakathi owakhele leli dolobha ukuqikelela ukuphepha kwi-Coronavirus ngokusetshenziswa

kwezinsiza-kuvikela emagciwaneni ngoba leli gciwane kalikapheli. Uthe njengoba isifunda saseMgungundlovu siyisizinda se-COVID 19 bekungaba kuhle ukuthi abantu bazigcine bephephile. “Kasifuni ukubala abantu abatheleleka ngegciwane le-corona ngenxa yabantu abangazinakekeli. Sinxusa abantu ukuba baqhubeke nokuhlala emakhaya baphume uma kunesidingo. Sicela abazalwane emikhulekweni abayenzayo bakhulekele inhlalakahle kwidolobha lethu laseMgungundlovu eseliphenduke isiziba sikamaminzela ngokufa kwabantu. Sekuyajwayeleka ukuthi masonto wonke kutholakale abantu bebulewe emigaqweni yedolobha lethu. Lokhu kubulawa kwabantu kuzosixoshela izivakashi kugcine kufadabala nomnotho njengoba ukhahlamezekile ngokubheduka kwe-Covid 19 nyakenye,” usho kanje. UMnu Dumisani Mhlongo onguMqondisi wePietermaritzburg Tourism Association (MPTA) utuse izinhlelo zabo zezokuvakasha ngokuzimelela naphezu kokuba izwe liye lakhungathwa ngukubheduka kwe-COVOD 19 eyimbangela yeCoronavirus. Uthembise izivakashi ukuthi mazikhululeke ngoba umnotho wabo nezokuvakasha azifadabele ngalesi sikhathi sokhuvethe. Uncome ithimba lakhe laseMPTA ngokusebenza kanzima ukugcina ezokuvakasha zisebalazweni elihle eMgungundlovu.

Uhlelo lokufukula umphakathi ngezindlu

uMeya uKhansela Dolly Govender uthula usonkotileka MAGAYE CELE NGENHLOSO yokwenza ngcono izimpilo zabantu abasemazingeni aphansi nabasathuthuka, isiFunda, iLembe ngaphansi kweKwaDukuza uMnyango wezokuHlaliswa kwabantu KwaZulu Natal sewubeke eceleni isamba semali eshisiwe ukuze kuphuculwe izimpilo zalaba bantu. Kubikwa ukuthi ilinganiselwa ku-R19 million seyiyonke imali ezosetshenziselwa lolu hlelo olumayelana nezindlu zokuhlala olubizwa ngokuthi yiRocky Park Intergrated Development Project okuthiwa luzokwenza umehluko omkhulu ezimpilweni zabantu bamazinga aphansi

kwisiFunda, iLembe. Kuzokhumbuleka phela ukuthi ngo-2013 uMkhandlu waKwaDukuza osuholwa nguKhansela Govender manje waba nesivumelwano sokusebenzisana noMnyango wezokuHlaliswa kwabantu esiFundazweni. Lokhu lo Mkhandlu wawukwenza ngenxa yokuthi wawukholelwa ukuthi unguMkhandlu onesidingo esikhulu sokuba ulekelele abantu ngezindlu. Uhlelo lwezindlu iRocky Park Intergrated Development luyingxeye yohlelo lukaHulumeni wakuzwelonke olusungulelwe ukuqinisekisa ukuthi zenziwa zibe ngcono kakhulu izimpilo zabantu baseNingizimu Afrika ezweni lonke.

Isamba sika-R19 million wabiwe ngendlela yokuthi bonke abantu ngokwamazinga abo bagcine bekwazile ukuthi bahlomule kulolu hlelo oluhlose kakhulu ukubuyisa isithunzi sabantu bonke. Kulokoza inhlansi yethemba lokuthi le mali izokwazi ukuthi ibhekane nazo zonke izidingo zokwakhiwa kwezindlu zabantu abazidingayo. Kuvela ukuthi izindawo ezingamaphesenti alinginaniselwa ku-77 sezidluliseliwe ngokusemthethweni kulabo abazokwakhelwa izindlu. Loyo oyiMeya yakwaDukuza uKhansela Dolly Govender wethule ngokusemthethweni inkotileka ezobhekelela umsebenzi omkhulu wokwakhiwa kwezindlu, iLikh-

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

anyile Consulting Engineers. Le nkontileka yezokwakha ubeyithulela amalunga omphakathi akule ndawo abefikile ezozizwela mathupha ngalolu hlelo okuhloswe ngalo ukuguqula izimpilo zabo. UKhansela Govender uthe okunye okuhle kakhulu ngokuthulwa kwalolu hlelo ukuthi luzophinde ludale indathane yamathuba omsebenzi kubantu baKwaDukuza namaphethelo okuyinto athe imqoka kakhulu. Inhloso enkulu yalolu hlelo ukuqinisekisa impilo engcono kubona bonke abahlali bakwaDukuza ngokuqinisekisa ukuthi bathola izindawo zokuhlala ezinesithunzi futhi ezibafanele.


EPHRELI 2021

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 7

INyuvesi nezinhlelo zokuvikela abantu besifazane MAGAYE CELE

USOLWAZI Busisiwe Ncama oyiNhloko oPhikweni leZempilo eNyuvesi yaKwaZulu Natal.

INYUVESI yaKwaZulu Natal (UKZN) seyithathe isinqumo sokuba isebenzisane nabemboni yamatekisi ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi ziyaphela nya izigameko zokuhlukunyezwa kwabantu besifazane emarank. Lezi zindaba zidalulwe yiloyo oyiPhini likaShansela, kule Nyuvesi, uSolwazi Busisiwe Ncama. USolwazi Ncama ophinde abe yiNhloko ophikweni lwezeMpilo kule Nyuvesi ukuchaze njengento eseqhulwini kubona ukubaluleka kokuhlonishwa nokwaziswa kwabantu besifazane eNingizimu Afrika yonke. Uthe akangabazi nakancane ukuthi sibe sihle kakhulu isinqumo abasithathile sokuba mdibumunye nabemboni yamatekisi ngenhloso yokubhekana

nje ngqo nalesi sihlava sokuhlukunyezwa kwabantu besifazane ezindaweni zokuthutha. Echaza uthe: “Ngikholwa ukuthi wonke umuntu uneqhaza okumele alibambe ngenhloso yokuqinisekisa ukuphepha kwabantu besifazane. Nathi njengeNyuvesi enkulu eNingizimu Afrika sikubone kukuhle futhi kumqoka kakhulu ukuthi singagoqi nje izandla sibukele kodwa kube khona esikwenzayo ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi abantu besifazane baphila impilo enokukhululeka.” USolwazi Ncama uthi lolu mbimbi abanalo nabemboni yamatekisi lusukela kucwaningo olunzulu abalwenzile beyiNyuvesi yaKwaZulu Natal. Uthi batholile ukuthi abantu besifazane abaningi bathola ukuhlukumezeka kakhulu nokungamukelekile uma

besindaweni zokuthutha. “Sibe sesithatha isinqumo sokuthi ke sihlale phansi nabemboni yamatekisi sibone ukuthi akukho yini esingakwenza ngenhloso yokunqanda lesi simo. Abantu besifazane bayizimbali zesizwe futhi benjalo nje bangumgogodla weNingizimu Afrika yonke ngaphandle kwabo leli zwe alikho,”usho kanje. Uthi akangabazi ukuthi imikhankaso egqugquzela ukuhlonishwa kwabesifazane emarank izodala umehluko omkhulu kubona bonke abesifazane. Uveze ukuthi baphinde basebenzisane nenhlangano i-Ayanda Foundation ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi ivangeli abalishumayelayo lokuphepha kwesifazane ezindaweni zokuthutha lifinyelela kuzona zonke izindawo ezikhona esiFundazweni, iKwaZulu Natal.

Isibophezelo soMkhandlu ekulweni nenkohlakalo MAGAYE CELE

IMEYA yoMkhandlu waseMandeni, uKhansela Thabani Mdlalose osenze isibophezelo sokuhola uMkhandlu ongenayo inkohlakalo.

UMKHANDLU waseMandeni uthi uzibophezele ekutheni zonke izinhlelo onazo kube ngezamukelekile futhi zingabi nawo umgunyathi okanye ke inkohlakalo. Lokhu kuzibophezela kwenziwe yiMeya yalo Mkhandlu, uKhansela Thabani Mdlalose. UKhansela Mdlalose uchaze uMkhandlu awuholayo njengomele ubunjalo beqiniso ngokuqinisekisa ukuthi inkohlakalo ihambela kude nalo Mkhandlu. “SiwuMkhandlu ophikisanayo nenkohlakalo. Okuyikhona esikufunayo ukubona zonke izinto zenzeka kahle ngendlela eyamukelekile,”kuchaza iMeya yaseMandeni. Ukhulume nangamathenda

wathi awadayiswa nje nhlobo wathi kwenziwa ngendlela esobala. Ukhulume nangamathuba omsebenzi akhona kulo Mkhandlu wathi awadayiswa nje nhlobo. Ufunge wagomela wathi lokho akusoze kwenzeka kuMkhandlu awuholayo. “Sihlose kakhulu ukuba uMkhandlu ogqugquzela ukwenziwa kwezinto zonke ngendlela ekahle futhi eyamukelekile. Lokho ke ngikholwa ukuthi kulula kakhulu ukuba sikwenze inqobo nje uma sonke sizosebenzisana futhi sizobambisana,”usho kanje.UKhansela Mdlalose uzwakalise ukukhathazeka okukhulu ngesihlava athe sesisabalele sabantu abasebenzisa igama lalo Mkhandlu ngenhloso yokuzicebisa. Uthe bazoluphenya lolu daba. “Akwamukelekile nje nhlobo

ukuqola ngegama loMkhandlu.Lokho nje asisoze sakuvuma. Sizokwenza isiqiniseko sokuthi lokho kuyaphela,” usho kanje. UMeya uMdlalose ukugcizelele kakhulu ukhuthi ubuHoli obuphezulu boMkhandlu waseMandeni bukholelwa kakhulu ekutheni uma uhulumeni uphethe kungabi nagcobho osolisayo kumbe ke inkohlakalo enuka santungwana. Lokho uthe kugcina sekudala ukungabaza okukhulu ngobuHoli boMkhandlu. UMeya uMdlalose ubekhuluma kanjena nje yingoba muva nje sewuphenduke insakavukela umkhuba wabantu abakhohlisa izakhamizi ngamathuba emisebenzi kuMkhandlu kanjalo nangamathuba amathenda. Maqede babawake imali yabo yokugcina.

UMnyango nohlelo lwe-Operation Sigalelekile emphakathini TSEPO MOTLOKOA KUTUSWE i-Operation Sigalelekile yoMnyango wokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal ophathiswe uNkk Nonhlanhla Khoza ngokusula izinyembezi onkophe zimanzi umphakathi odla imbuya ngothi owakhele lesi sifundazwe. I-Operation Sigalelekile ididiyele uMnyango wokuThuthukiswa koMphakathi, iSouth African Social Security Agency (Sassa), iNational Development Agency (NDA), uMnyango wezeMpilo noMnyango wezaseKhaya ukulekelela imiphakathi. I-Operation Sigalelekile ilethe ithemba

emphakathini owakhele uMasipala waseBuhlebezwe eXobho ngaphansi kweHarry Gwala District ngesikhathi lo mnyango neSouth African Social Security Agency (Sassa) behambele uNkz Caroline Ndlovu (60) beyomenzela umazisi angakaze abe nawo empilweni yakhe. Isivubela Intuthuko ithole ukuthi uNkz Ndlovu ubephila ngomnikelo wabazalwane bebandla nomakhelwane ukuze alale edlile njengoba ebengasitholi isibonelelo sikahulumeni sabantu abakhulile. UNkz Ndlovu ohlala yedwa endlini engurawondi wodaka izihlathi zivakashele izindlebe ngesikhathi umnyango nabeSassa bezoqinisekisa ukuthi uyasizakala. Ezi-

bongela uNkz Ndlovu uthe: “Ngibongile futhi ngithobekile ngokuvakashelwa yilezi ngane namhlanje zizolungisa indaba yami yokuthola umazisi.” UNkk Khoza uthe nge-Operation Sigalelekile kuhloswe ngayo ukuhambisa izinsiza zikahulumeni kubantu ikakhulukazi kubantu emphakathini. Uthe lokhu kungukuphungula umthwalo kubantu abaphoqeleka ukuhamba amabanga amade besuka emakhaya beya edolobheni ukuyothola izinsiza. “Sithole ukuthi abantu abaningi kabazitholi izibonelelo zikahulumeni ngoba kabanawo amaphepha afanelekile. Yingakho sinqume ukuba sibahambele abantu emakhaya sisondelele

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

kubona. Sisebenzisana kakhulu nomasipala bendawo ngokuhlonipha uhlelo lweDistrict Development Model,” usho kanje edlulisa ukudumala ngenxa yesimo esiphilwa imiphakathi esemapulazini kulesi sifundazwe. Khona manjalo uNkk Khoza uhambele uMnu Donatus Mohlakoane waseMakholweni e-Underberg naye ohlala yedwa obeyosizwa ngokuthola isibonelelo sikahulumeni esibizwa ngeSocial Relief of Distress (SRD). UNkk Khoza unxuse umphakathi ukuziqalela amabhizinisi ukuze ukwazi ukuxosha ikati eziko emakhaya.


IKHASI 8

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

EPHRELI 2021

Sivubela Intuthuko

EZEMIDLALO

Amaqembu aseKZN ethubeni lokuqopha umlando

MAGAYE CELE

KUNTWELA ezansi ngengqophamlando okubonakala izokwenziwa ngamaqembu amabili aKwaZulu Natal okungamaZulu Fc kaMnuz Sandile Zungu kanye neLamontville Golden Arrows kaManto Madlala. Lawa maqembu aKwaZulu Natalal abonakala enomgqigqo omuhle kakhulu nobabezekayo kulesizini yeDSTV Premiership. Ukudlala kahle kwawo kubonakala kungagcina kuholela ekutheni kugcine kuqopheka umlando. Umlando okukhulunywa ngawo lapha ngowokubona lawa maqembu amabili esembangweni wesicoco seligi okuyinto engakaze ibonakale emlandweni webhlola

lezinyawo laseNingizimu Afrika. Okhulumela uSuthu olumabheshankone, uPhumlani Dube uthi kulokoza inhlansi yethemba ngengqophamlando ebonakala iza. Uthi kubahlaba umxhwele kakhulu ukubona abadlali boSuthu bencamela ukufela enkundleni kuyona yonke imidlalo yabo yakamuva. “Indlela abadlali bethu abadlala ngakhona nabazimsile ngayo sinethemba impela elikhulu lokuthi kulo nyaka nakanjani uzoqopheka umlando. Sifisa ukubona abadlali boSuthu beqhubeka nokwenza kahle kwabo kuyona yonke imidlalo yabo esele,”usho kanje. Ngokwamabhuku omlando uDube udalulile ukuthi kwagcina ngonyaka ka-1994 ukuba AmaZulu Fc azithole esendaweni

enhle kakhulu kwilig. Ngonyaka ka-1994 Usuthu lwaphetha isizini lilele endaweni yesine. Ngakulunye uhlangothi Abafana besithende abaphekwa nguMandla Ncikazi nabo babonakala bengazibekile neze phansi. Badlala ibhola elihle elinomjiko okhangayo futhi ohambisana namagoli. Umbuzo omkhulu osusezingqondweni zabathandi bebholo baKwaZulu Natal othi kungenzeka yini kuqopheke umlando elilodwa phakathi koSuthu naBafana Besithende agcine ethole ingqayizivele yethuba lokuyomele iNingizimu Afrika emidlalweni emikhulu yeCaf Champions League ngonyaka ozayo?

ASETHUBENI lokuqopha umlando AmaZulu Fc kanye neGolden Arrows uma kungasongwa isizini engegudlukile ezindaweni ezinhle akuzona okwamanje.

Inhlangano yabagijimi nomengameli omusha MAGAYE CELE

UMNUZ Steve Mkasi okhethwe ngo-elethu kwesokuba nguMengameli omusha wenhlangano yaKwaZulu Natal, iKwaZulu Natal Atletics.

SEYINOMENGAMELI omusha inhlangano yezabasubathi yasesiFundazweni, iKwaZulu Natal. UMnuz Steve Mkasi sekuqinisekisiwe ukuqokwa kwakhe njengoMengameli omusha weKwaZulu Natal Atletics (KZNA). UMnuz Mkasi ushayelwe elikhulu ihlombe ngokunqoba kulesi sikhundla. Kuzokhumbuleka ukuthi ubushubile kakhulu umbango waso. Baningi ebebesibheke ngabovu. Phakathi kwabo kubalwa uMnuz Khura Buthelezi, Mnuz Patrick Hlongwane kanye noMnuz Ayanda Mngadi. Kuzokhumbuleka ukuthi bese kuphele iminyaka emithathu egcwele le nhlangano yabasubathi esiFundaweni ingenaye umholi. Ukuqokwa kukaMnuz

Mkasi ophinde abe ngumsunguli weKwaZulu Natal AC, kubuyisa ithemba ngekusasa eliqhakazile lezabasubathi KwaZulu Natal. UMnu Jay Reddy ongumxazululi ozimele nguyena obebambe izintambo zokuba nguMengameli. UMkasi ucele ukuthi kube khona ukusebenzisana kanye nokwathembana kubona bonke akhethwe nabo esigungwini esiphezulu sokwengamela inhlangano iKwaZulu Natal Atletics. “Ngicela ukuthi sibambane ngezandla. Okuyikhona okumqoka kakhulu ukuthi sisebenzisane ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi le nhlangano iba nenqubekela phambili. Lokho ke ngikholwa ukuthi kusezandleni zethu zonke esisesigungwini esiqokiwe namhlanje,” usho kanje.

Nasi isigungu esisha esiqokwe kanye noMkasi. IPhini nguMandla Mngomezulu, uSihlalo wabasubathi nguMartin Ngwenya, obhekelele imijaho yasemgwaqweni nguRay Khanyile. IPhini likaSihlalo wabagijimi kuzoba uSandile Mthembu. Nanka amanye amalunga angeziwe esigungwini. USiyabonga Nkonde, uMduduzi Khumalo, Mandla Makhathini, Busi Dlamini, Jesica Khomo, Busi Dlamini, Willie Mgobhozi, Lani Van Der Merscith kanye noThembelihle Khanyile. Kwesokuba nguNobhala wekomidi kukhethwe u-Adelaide Xulu. UMkasi ubhekene nenselelo yokubuyisa uzinzo kule nhlangano kanye nokuqinisekisa ukuphathwa kahle kwezezimali.

Amabhokisa asekzn athembisa isibhakela esiqhwiza umentshisi MAGAYE CELE ABASHAYISIBHAKELA ababili basesiFundazweni saKwaZulu Natal babonga ingqayizivele yethuba lokuba yingxenye yomqhudelwano wezimpi zeqophelo eliphezulu ezizobe ziseSandton, eGoli ekupheleni kukaMay. Amabhokisa aKwaZulu Natal okukhulunywa ngawo lapha nguSiboniso “Tiger” Gonya obalwa nabanye babashayisibhakela asebephenduke ithemba leKwaZulu Natal. UGonya yena uzobe eqhuthululana amakhizane noLuthando Mbungu kweyeBantamweights. UGonya uthembise ukuthi uzokhipha amangwevu kulo mqhudelwano ngenhloso yokuphephezelisela phezulu ifulegi lesiFundazwe iKwaZul Natal.

“Kuyangijabulisa kakhulu ukuthola leli thuba elimqoka kangaka lokuthi ngiyomela iKwaZulu Natal kulezi zimpi ezimqoka kangaka. Ngiyathembisa ukuthi ngizokwenza konke okusemandleni ami ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi ngibuya ekhaya ngiliphethe ibhande. Njangamanje sengiqalile ukuzilungiselela ngoba angifuni nje ukuphoxa,” kuchaza uGonya obezwakala egcwele ukuzethemba okukhulu. Umshayisibhakela wesibili waKwaZulu Natal naye ozobe elwa kulezi zimpi ngu-Innocent “Tycon” Mantengu yena ozobanga ibhande elingaphethwe muntu leWBA Pan African Junior Feather weight noRofiwa Nemushingwa wasesiFundazweni saseLimpompo. Naye uTycoon ufunge wagomela wathi nakanjani uzokwenza isiqiniseko sokuthi

uyamngqimuza uNemushingwa ukuze ezoba ngumpetha omusha webhande iWBA Pan African. Uthe uzobageza igilo abathandi besibhakela ngendlela azobe elwa ngakhona. “Ngizimisele kakhulu ngokuthi ngingaphoxi kodwa kunalokho abantu baKwaZulu Natal bajabule kakhulu ngomphumela wempi yami. Indlela engizolwa ngayo ngifuna ukwenza isiqiniseko esikhulu sokuthi bonke abalandeli bamankomane baKwaZulu Natal ngibashiya bejabulile,”kuchaza uTycoon. Lezi zimpi okulindeleke ukuthi zibe seqophelweni eliphezulu zihlelwe yinjinga engusomabhizinisi owaziwayo eNingizimu Afrika, uMnz Jacob Mnisi.

USIBONISO “TIGER” Gonya ngomunye wamabhokisa aKwaZulu Natal athembisa ukushaya isibhakela esiqhwiza umentshisi ezimpini ezizobe ziqhubeka eGoli.

031 828 0433 / 082 597 6669

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.