Sivubela Intuthuko Newspaper

Page 1

SIVUBELA Intuthuko

ADVERTISING: 067 920 8446 FEBUWARI 2021

UMnyango nohlelo lokunikezela ngosizo lwamatayitela kubantu

iKhasi 4

FACEBOOK: SIVUBELA INTUTHUKO

SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

UHlomuka ukhuthaze ukuphepha kwabafundi nothisha esimweni sezulu

iKhasi 3

Kungqugquzelwe umphakathi ngokutshala

iKhasi 6

LIMAHHALA USHICILELO 58

Kuphinde kwagadla ukufa emkhakheni wesibhakela

iKhasi 8

UMkhandlu nohlelo lokulekelela abantu abangenawo amakhaya udaba ekhasini 3.

Bavikela imfuyo engumnotho wabanumzane khasi - 7 USOMLOMO woMkhandlu weTheku, uNkk Weziwe Thusi oncoma ukusungulwa kwesikhungo sabantu abangenamakhaya.


IKHASI 2

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

FEBUWARI 2021

IMeya ifuna ukhule umnotho wedolobha

UMEYA woMkhandlu weTheku, uKhansela Mxolisi Kaunda ogcizelela ukubaluleka kokuzinza komnotho weDolobha MAGAYE CELE IMEYA yoMkhandlu weTheku, uKhansela Mxolisi Kaunda inxusa ukusebenzisana okuhle phakathi kwazo zonke izinhlaka ngenhloso yokubuy-

isa umnotho weDolobha, iTheku. Ngokusho kukaMeya uKaunda sesifikile manje isikhathi sokuba kubanjiswane ngenhloso yokufukula umnotho weDolobha, iTheku. Ukuvumile ukuthi umnotho weTheku ukhinyabezeke

UMkhandlu wetheku nezinhlelo zokulungiswa kwamapayipi

Izindlu uMkhandlu weTheku osukwazile ukuzakha waziphothula. MAGAYE CELE LUYAQHUBEKA uhlelo olumqoka oluqhutshwa nguMkhandlu weTheku lokulungiswa kamapayipi amanzi kanye nokwakhelwa kwabantu izindlu. Kuzokhumbuleka ukuthi ngaphambilini lo Mkhandlu wakuchaza njengento emqoka ukubaluleka kokuhlinzekwa kwabahlali beDolobha ngezidingo ezimqoka futhi eziwumgogodla wokuphila kwabantu. UMkhandlu weTheku wenza isibophezelo sokuthi uyokwenza konke okusemandleni ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi uyabagculisa abantu abahlala edolobheni, abasebenza kulona kanjalo nalabo abangabasebenzi balo iDolobha. Lokhu wathi uyokwenza ngokuthi uhlangabezane nezidingo zabo. Ukulungiswa kwamapayipi phakathi edolobheni lo Mkhandlu ukuchaza njengokufezekisa leso sethembiso owasenza ngaphambilini. UMkhandlu weTheku usanda kuveza ukuthi uPhiko lweDolobha iTheku lunamaPhrojekthi amakhulu nahlabahlosile azokwenza izinguquko ezithile egameni loMnyango wezaManzi

kanye nokuThuthukiswa kweNdle ngenhloso yokubhekana ngqo nengqalasizinda esibonakala iqala ukuguga. Ukulungiswa kwamanzi kuzobandakanya ukulungiswa kwamapayipi kuMahatma Gandi Road kanye naku-Anton Lembede Street. Ziningi nezindlu ezindaweni ezahlukene eseziphothuliwe kusuka ngonyaka owedlule. Wonke lo msebenzi uMkhandlu weTheku usuveze ukuthi ususetshenzwe kwaze kwafinyelela kumaphesenti angu-40. INhloko yamaPhrojekthi amakhulu ngaphansi koMkhandlu weTheku, uMnuz George Mohlakoane uchaze lolu hlelo njengolumqoka. Wathi bahlose ukuqinisekisa ukuthi alubambezeleki. Uthe bazibophezele njengoMkhandlu ukuqinisekisa ukuthi abantu baseThekwini baphila impilo engcono ngaphandle kwezingqinamba. Uthe: “Sihlose ukuthi senze konke okusemandleni ngehloso yokuqinisekisa ukuthi lolu hlelo luhamba kahle. Sikholwa ukuthi ukulungiswa kwamapayipi nokwakhiwa kwezindlu ngenye yezinto ezimqoka kuMkhandlu weTheku.” Eqhuba uMnuz Mohlokoane uveze ukuthi ezinye zezinhlelo zibandakanywa njengengxenye yamaPhrojekthi okuphuculwa kwezindawo okungenye yezinto athe ziseqhulwini ezinhlelweni zoMkhandlu weTheku.“Sifuna ukuqinisekisa ukuthi iTheku liba sesimweni esihle ikakhulukazi ngokwengqalasizinda. Lokhu sikwenza ngoba sihlose ukuvuselela ukubukeka kahle kwalo. Khumbula ukuthi iTheku lingelinye lamaDolobha ahlonishwayo emhlabeni ngakho kumqoka ukuba silenze libe semgangathweni,” kuchaza uMnuz Mohlokoane.

kakhulu njengoba iCorona ithikameze izinhlelo eziningi nebezihlabahlosile nebezizoqinisekisa ukuthi uyathuthuka umnotho weDolobha. Nokho ke uthe akusasizi ngalutho manje ukukhalela ubisi oseluvele luchithekile. Wathi okuyikhona okumqoka manje wukuthi kutholakale izindlela ezishaya emhlolweni ezizosetshenziselwa ukufukula umnotho weTheku. Uthe: “Akungabazeki ukuthi unyaka ka-2020 usishiye sikhala kakhulu ikakhulukazi kwezomnotho. Okubuhlungu ukuthi namanje leli gciwane lisaqhubeka nokusihlalisa lubhojozi. Kodwa ke okuyikhona manje okumqoka akusikhona ukukhala nokubalisa kodwa ukulwela ukuthola izindlela zokwenza ngcono isimo somnotho weTheku.” Unxuse ukuthi kubanjiswane ngenhloso yokunqoba lo mbhedukazwe. Uthe uma omunye nomunye engaqinisekisa ukuthi udlala indima yakhe ngendlela efanele nakanjani iCovid 19 inganqotshwa kalula. UKhansela uKaunda ukugcizelele ukuthi umkhandlu obunjwe nguMasipala weTheku osanda

kusungulwa nozobhekelela ukuqhubeka kwezinhlelo zokufukulwa komnotho uzoqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla ubusuku nemini. Uthe amaqhinga azoqhamuka nalo mkhandlu yiwona azonikezela umhlahlandlela ocacile bha mayelana nekusasa eliqhakazile leTheku kwezoMnotho. Uthe akangabazi ukuthi lo mkhandlu oqokiwe uzowutakula umnotho weDolobha. Echaza uMeya uKaunda uthe: “Lo mkhandlu siwethembile kakhulu. Sinethemba lokuthi uzoqhamuka namaqhinga ahlabahlosile nazoshaya ngqo esikhonkosini. Sikholwa ukuthi ayikho into emqoka ngaphezulu kokufukulwa komnotho.” UMeya uncome kakhulu uhlelo loMkhandlu weTheku lokuvuselelwa komnotho weDolobha olubizwa ngokuthi yi-Economic Recovery Plan (ERP), uthe namanje luyaqhubeka nokucaba indlela enhle yokufukula umnotho weDolobha. Uthe kwaba yisinqumo esihle kakhulu nesiphusile ukusungulwa kwalo.

IMotsepe Foundation icacisa ngomnikelo kaR150 000 wamaRoma aKhatholika

KUSUKELA kwesokunxele nguMbhishobhi Vuyo Dlamini wamaWeseli, uDkt Patrice Motsepe, uNdlunkulu Thobekile Maphumulo oyiMeya yaseMgungundlovu District noFata Thomas Zondi (OMI) wamaKhatholika babesemcimbini wokwamukelwa kwamasheke kaR150 000 eMotsepe Foundation TSEPO MOTLOKOA ABEMOTSEPE Foundation bangenelele ukubhula umlilo obufuna ukuhlukanisa ibandla lamaRoma amaKhatholika iSt Augustine’s Parish KwaMachibisa eMgungundlovu ngokungacaci komnikelo kaR150 000 owakhishwa yile nhlangano owawuzothuthukisa isakhiwo saleli bandla. NgoFebruary-2018 kwaba nendumezulu yomcimbi eMgungundlovu weminikelo kaR150 000 eyayamukelwa ngamabandla ezenkolo nezikole ezazikhethiwe zaseMgungundlovu ukhishwa nguDkt Patrice Motsepe ehambisana nowakwakhe uDkt Precious Moloi. Abazalwane baseSt Augustine bangabanye abahlomula ngalo mnikelo njengoba nabo babefake isicelo kule nhlangano. Ngokuhamba kwesikhathi babe sebethimula besola ukuthi hleze le mali yehla ngemilenze yabantu abathile njengoba kuthiwa selokhu yamukelwa bekungakaze kubonakele ukuthi seyenzeni futhi kungekho ncazelo evelayo ngokusebenza kwayo. UMnu Mampe Magampa oyi-project co-ordinator yeMotsepe Foundation weluleke laba bazalwane ethi mabehlise imimoya ngoba imali yonke ikhishwa yibona ngakho kayikho

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

edliwe. Uthe basanikeze ibandla imali enguR75000 elaliwucelile ukufakelwa kwama-air conditioner. “Lapha eMotsepe Foundation kasinikezi umuntu siqu imali kodwa uyahamba ayokwenza i-quotation yalokho okusuke kudingeka bese sikhokhela loyo ozobe elekelela ekufakeni kumbe ekuletheni lokho okudingekayo. Nalaphaya eSt Augustine kayikho imali enikezwe umuntu siqu sakhe kodwa imali siyidlulisele kwinkampani okuyiyona ezobafakela ama-air conditioner. Kuyimanje kenesamba sikaR75000 esisasibambile esizophuma uma sekufakwe ama-air conditioner. Sesitholile ukuthi into ebambezele ukufakwa kwawo yingoba kusamele kwengezwe amandla kagesi njengoba loluhlobo lwama-air conditioner oluzofakwa ludinga amandla amaningi kagesi,” kusho uMnu Magampa. UNkk Thembi Majozi ongunobhala wesigungu esidala esamukela isheke leMotsepe Foundation uthe konke okwakucelwe ngabazalwane kuzokwenzeka kakushintshe lutho. Uthe imali isenjengoba injalo kayikho lapho incuzwe khona. Uthembise ukuthi kuzothi kuphela uFebruary kuzobe sekukhona okungumnyakazo wokufakelwa kwama-air conditioner.


FEBUWARI 2021

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 3

UMkhandlu nohlelo lokulekelela abantu abangenawo amakhaya

USOMLOMO woMkhandlu weTheku, uNkk Weziwe Thusi oncoma ukusungulwa kwesikhungo sabantu abangenamakhaya. MAGAYE CELE SENZA umsebenzi omkhulu noncomekayo isikhungo sokuhlaliswa kwabantu ababhekene nezinkinga ezahlukene, iBellhaven Harm Reduction esisungulwe uMkhandlu weTheku oholwa nguKhansela Mxolisi Kaunda. Lokhu kuqinisekiswe yiloyo onguSomlomo woMkhandlu

weTheku, uNkk Weziwe Thusi njengoba ebekade enaba kabanzi ngokubaluleka kwalesi sikhungo emphakathini waseThekwini namaphethelo. Udalule ukuthi njengamanje uMkhandlu weTheku umatasa usilungisa kabusha lesi sikhungo ukuze sizoba semganganthweni futhi sikwazi nokuthi senze yonke imisebenzi yaso ngempumelelo. UNkk

Thusi uchaze lesi sikhungo njengesimqoka kakhulu kulo Mkhandlu. Wancoma ukusungulwa kwaso wakuchaza njengento ebivele imqoka kakhulu. Ukusungulwa kwalesi sikhungo ube esekuchaza njengegxathu elimqoka kakhulu loMkhandlu weTheku lokuqinisekisa impilo engcono kubona bonke abantu ngokwahluka kwezigaba zabo.

“Lolu hlelo lukhombisa ngokusobala ukuthi uMkhandlu weTheku esiwusebenzelayo uzimisele kangakanani ngokulekelela bonke abantu abahlala kuwona nabadinga usizo oluphuthumayo. Ngalolu hlelo sihlose kakhulu ukukhombisa ukuthi sizimisele kangakanani njengoMkhandlu ukuhlinzeka ngezidingo ngenhloso yokugwema umonakalo,” usho kanje. Eqhuba ugcizelele ukuthi kakade kungumsebenzi woMkhandlu weTheku ukuqinisekisa impilo enhle kubona bonke abantu abangenazo izindawo zokuhlala. Uthembise ukuthi lo msebenzi bazowenza ngokukhulu ukuphumelela lokhu. Echaza uthe: “Ngikholwa ukuthi vele kungumsebenzi wethu njengoMkhandlu weTheku ukuthi siqinisekise ukuthi abantu abangenawo amakhaya bathola usizo abaludingayo zikhathi zonke. Sizoqhubeka nalolu hlelo ngoba silubona lumqoka kakhulu futhi silubona lizokwenza umehluko omkhulu kubantu abangenawo amakhaya,” usho kanje. Kuzokhumbuleka ukuthi ngaphambilini iPhini likaNgqongqoshe wezozokuThuthukiswa koMphakathi uMphathiswa uHendrietta Bogopane-Zulu walincoma kakhulu iTheku ngokusungula lesi sikhungo. Wasichaza njengesizokwenza umehluko omkhulu kubona bonke abantu abanganazo izindawo zokuhlala. Waphonsela namanye amaDolobha inselelo yokuba abukele eThekwini ukuthi balekelelwa kanjani abantu abangenawo amakhaya.

UHlomuka ukhuthaze ukuphepha kwabafundi nothisha esimweni sezulu TSEPO MOTLOKOA UNGQONGQOSHE woMnyango wokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMnu Sipho Hlomuka unxuse abazali ukuba babe mehlo made ezinganeni zabo bazibheke ikakhulukazi lezo eziwela imifula njengoba sekuvulwe izikole. UMnu Hlomuka uxwayise kanjena kulandela ukumuka kwabantu ababili abebewela umfula uThukela obeludla izindwani phakathi kwaseKranskop naKwaMaphumulo ngaphansi kwesifunda seLembe. Ngokwemibiko kuvela ukuthi kumuke owesilisa obehamba nengane eneminyaka engu-8 okukholakala ukuthi izalwa nguyena lona wesilisa abebewela ebhuloweni eliphumela eNkandla okungakacaci ukuthi bamuke kanjani. Emuva kwalesi sigameko uMnyango wokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu kulesi fundazwe uthumele ithimba longoti elizotakula le mizimba emibili. Ngokwesitatimende salo mnyango esithunyelelwe abezindaba nguMnu Senzelwe Mzila owukhulumelayo sikuqinisekisile ukuthi likhona ithimba labatshuzi elithunyelwe ukuyobheka. Sibe sesiveza ukuthi uMnu Hlomuka

UMNU Sipho Hlomuka ocela abafundi nothisha baqaphele isimo sezulu. ube esecela abantu ukuba babambisane nabatakuli ngesikhathi besazama ukuthola abaminzileyo. “Sicela abazali nothisha baqikelele ukuthi bayasibheka isimo sezulu njengoba singesihle kulezi nsuku futhi okusalindeleke ukuthi sishubise njengoba sihambisana nemvula enamandla. Sinxusa nabashayeli bezimoto ukuba bashayele

ngokucophelela njengoba imigwaqo isuke imanzi izimoto zishelela kalula,” sisho kanje. Isifundazwe saKwaZulu-Natal kulezi nsuku sihlaselwe yizimvula ezinamandla ikakhulukazi ezifundeni okunguMkhanyakude, eZululand, eKing Cetshwayo (uThungulu) naseLembeni.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

UMnu Hlomuka udlulisa lesi sinxuso nje kule nyanga kuhlasele imvula enamandla eMnambithi ngaphansi kwe-Alfred Duma Municipality lapho idolobha kwabe sengathi lakhiwe edamini njengoba amanzi alimboza kwathikamezeka nokusebenza ezitolo ngenxa yamanzi ayegcwele ngaphakathi.


IKHASI 4

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

FEBUWARI 2021

UMnyango nohlelo lokunikezela ngosizo lwamatayitela kubantu MAGAYE CELE

IKHASI 4

LUTHELA izithelo ezinhle uhlelo loMnyango wezokuHlaliswa kwabantu kanye Nemisebenzi Yomphakathi lokunikezela ngamatayitela kubantu baKwaZulu Natal. Njengamanje ziphezulu izibalo zabantu bakulesi siFundazwe esebehlomulile kulolu hlelo. Izibalo zakamuva ziveza ukuthi sebebonke abahlomulile bangu-5 062. Bonke ngabasezindaweni ezahlukene ezikhona KwaZulu Natal. UMphathiswa walo Mnyango osesiFundazweni, uNkk Peggy Nkonyeni usechaze lolu hlelo njengoluhlabahlosile nokumele nakanjani kuqinisekiswe ukuthi lufinyelela kubantu abafanele. UNkk Nkonyeni ugcizelele kakhulu ukuthi uMnyango awuholayo uphokophelele enhlosweni enkulu nemqoka yokuqeda nya ukusilela emuva kokukhishwa kwamatayitela. Ngokusho kukaNkk Nkonyeni kuyinto emqoka kakhulu ukunikezelwa kwamatayitela kubantu. Lokhu uthe kuyingxenye abahlose ngayo ukukhombisa intshisekelo abanayo yokufinyelelisa izidingo ezimqoka kubantu. Uthe okuyikhona okumqoka ukuthi konke kwenziwe ngokushesha hhayi unyawo lonwabu. “Echaza uthe: “Sifuna ukuqinisekisa

UMphathiswa walo Mnyango owesiFundazweni, uNkk Peggy Nkonyeni SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

JANUWARI 2021

KWADUKUZA MUNICIPALITY KWADUKUZA MUNICIPALITY

2019/2020

HIGHLIGHT OF THE 2019/2020WONYAKA ANNUAL REPORT OKUVELELE KUMBIKO HIGHLIGHT OF THE 2019/2020 ANNUAL REPORT AND 2019/2020 2020/2021 SECTION 72 MID-YEAR BUDGET KAKWISIGABA72 SONYAKA AND 2020/2021 SECTION 72 MID-YEAR BUDGET AND PERFORMANCE ASSESSMENT REPORT WESABELOMALI NOMBIKO AND PERFORMANCE KANYE ASSESSMENT REPORT WOKUHLOLA UKUSEBENZA KWADUKUZA MAYOR KWADUKUZA MAYOR CLLR DOLLY GOVENDER CLLR DOLLY GOVENDER

36% KUYA KWANGU 47%

36% to 47%

IkwaDukuza isiqhamuke A collection risk modelling A collection risk modelling neqhinga lokunciphisa is to be undertaken to is to be undertaken to ukushoda kwemali mitigate revenue shortfalls mitigate revenue shortfalls engenayo elizogxila and will focus on: and will focus on: kokulandelayo:

KwaDukuza established IKwaDukuza isungule KwaDukuza established ikomidi elilawula a Debt aukuncishiswa Debt Reduction Reduction Steering Committee to Steering Committee to kwezezikweletu ukuqinisa intensify measures to intensify measures to izindlela zokunciphisa reduce energy reduce energy losses losses by by ukulahleka conducting inspections kukagesi ngokuhlola conducting inspections on high abasebenzisa ugesi on high energy energy consumers. ngokweqile. consumers.

Streetlights *✓ ze-SCM efficiency ✓Izinqubo Streetlights efficiency Performance *✓ kahle management ✓Ukusebenza Performance management kwezibani zomgwaqo * Ukuphathwa kokusebenza

BUDGET SPENDING UKUSETSHENZISWA BUDGET FOR THE SPENDING 2019/2020 KWESABELOZIMALI FOR THE 2019/2020 FINANCIAL YEAR WAS KONYAKA WEZIMALI FINANCIAL YEAR WAS

87%

KA-2019/2020 KWABA NGAMAPHESENTI

ANGU 87%

Izihlathi zivakashele izindlebe kwelulwa eyesibonelelo sika-R350 TSEPO MOTLOKOA

UKULETHWA KWEZIDINGO BASIC SERVICE DELIVERY KUNYUKILE KUSUKELA BASIC SERVICE DELIVERY KUMAPHESENTIFROM ANGU INCREASED INCREASED FROM

Ugesi: abathengi abangu-819 Electricity: 819 consumers a abanesikweletu eseqilewith ku-R21 Electricity: 819 consumers with a total outstanding debt of R21 million million banqanyuleliwe ugesi total outstanding debt of R21 million were disconnected and this brought lokhudisconnected kulethe imali eyengeziwe were and this brought in additional million revenue of R9,1 million engu-R9,1 in additional revenue of R9,1 million ✓ 317 electricity tamper fines were issued, * Kukhishwe izinhlawulo ezingama-317 zokupha ✓zamisa 317 electricity fines issued, ugesi ku-R3,6 million totalling to okubalelwa thetamper value of R3,6were million totalling to the value of R3,6 million * Izinhlawulo ezingama-181 kweziphazamisa ✓ 181 of the 317 tamper fines relate to ✓ugesi 181 ofkwezingama-317 theproperties 317 tamperto fines relatenezakhiwo toR2,5 ziphathelene business the value of business properties to the million value of R2,5 zebhizinisi lika-R2,5 million ezinenani million * Izinhlawulo eziwu-136 eziphazamisa ugesi ✓ 136 of the 317 tamper fines relate to nezakhiwo zasekhaya ✓ezuwu-317 136 of theziphathelene 317 tamperto fines relate toR1,1 domestic properties the value of ezinenani lika-R1,1 million domestic million properties to the value of R1,1 million * Amabhizinisi angu-87 kulawo makhasimende ✓angama-181 87 of the 181 Businessizinhlawulo Customers have asekhokhe zawo, ✓ 87 oftheir the 181 Business Customers paid fines, amounting to R1,1have million ezibalelwa million paid theirku-R1,1 fines, amounting to R1,1 million ✓ 63 of the 136 Domestic Customers have * Amakhasimende angu-63 asekhaya ✓ 63 oftheir the 136 Domestic Customers have paid fines, amounting to R527 angama-136 asekhokhe izinhlawulo zawo, paid theirkwizinkulungwane fines, amounting to R527 thousand ezibalelwa ezingama-R527 thousand ✓ 150 of the 317 Customers with fines * Amakhasimende angama-150issued kwangu-317 ✓anikezwe 150 the 317 Customers inhlawulo asephumele obala haveofcome forward and a issued total ofwith R1,7fines have come and a totalmillion of R1,7 kwatholakala isamba esingu-R1,7 million was forward recovered million was recovered

✓ ✓

ukuthi loluhlelo luthela izithelo. Sinethemba lokuthi baningi abantu baKwaZulu Natal abazosizakala kakhulu kulona. Okuyikhona okubalulekile ngalo luhlelo ukuthi sihlose ukubuyisa ukuzethemba kanye nesithunzi somuntu omnyama.” Uthembise ukuthi lolu hlelo angeke lugidagide ndawonye kodwa kunalokho bazoqinisekisa ukuthi lusabalala luze lufinyelele kuzona zonke izindawo ezikhona KwaZulu Natal. Phakathi kwezindawo lo Mnyango osufinyelelise kuwona lolu hlelo lwamatayitela kubalwa, iShall Cross, yise-Edendale, eNhlahleni oKhahlamba kanye naseDumisane Makhaye Village ngaphansi kukaMasipala waseMhlathuze. USomlomo weTheku, uNkk Weziwe Thusi ngaphambilini lolu hlelo wezwakalisa ukulithakasela kakhulu waluchaza njengolumqoka kakhulu. Wathi kuyajabulisa ukubona abantu behlomula ngamatayitela okuyinto ayichaza njengemqoka. UNkk Thusi ubekhona muva nje eShall Cross ngenkathi abantu bakule ndawo benikezwa amatayitela abo. Lokhu wakuchaza njengesiqalo esisha nesihle nesiletha ithemba elikhulu ikakhulukazi kulabo abahlomulile kulona.

Unlocking SCM processes Unlocking SCM processes

UKUQOQWA OUTSTANDING DEBTS OUTSTANDING DEBTS KWEZIKWELETU RECOVERY RECOVERY

*✓ UMkhandlu waqoka umhlinzeki Council appointed a servicengezinsizakalo provider to ✓ Council appointed service provider in to ukuthi anqamule ugesi a ukuze kusizakale undertake electricity disconnections undertake electricity in ukubuyiswa kwesikweletu. order to expidite debtdisconnections recovery.

order to expidite debt recovery.

*✓ Umkhandlu ugunyaze the uhlelo lwe-Covid-19 Council approved COVID-19 debt relief lokusiza abakweletayo abebeselele ✓ Council approved the COVID-19 debton relief scheme to assist debtors who emuva were ukukhokha izikweletu zabo ngokugcwele noma schemeto to assist their debtors who on arrears settle debts in were full or in kancane arrearskancane. to settle their debts in full or in

instalments. instalments.

* Abakweletwayo banikezelwe kubameli abasha ✓ Debtors were handed over to the new ababhekene okuqoqwa kwezikweleti. ✓ Debtors were handed over to the new

debt collection panel of attorneys. debt collection panel of attorneys.

* Ukuqhubeka kokuvinjelwa okungaphelele ✓ Continuous 40% partial blocking of ngamaphesenti angu-40% kwabakweletwayo ✓ Continuous 40% partial blocking of debtors that utilize prepaid electricity abasebenzisa amamitha kagesi akhokhelwayo.

debtors meters. that utilize prepaid electricity meters.

MN: 08/2021 MN: 08/2021

I-SOUTH African Social Security Agency (Sassa) KwaZulu-Natal ikwamukele ngezandla ezimhlophe ukwelulwa ngezinyanga ezintathu kokutholwa kwesibonelelo sabangasebenzi sikaR350 obekulindeleke ukuba siphele. Okhulumela iSassa KwaZulu-Natal uNkz Sandy Godlwana uthe le nhlangano nyanga zonke kusukela ngoMay nyakenye kuze kube uJanaury nonyaka yamukele izicelo zalesi sibonelelo ezingu-9.6 million zabantu abebefuna ukuhlomula kulolu hlelo. Uthe bakwazile ukuhlomulisa abantu abangu-6.5 million nyangazonke okwenze kwaholelwa ngemali enguR16 billion. “ISassa isamukele isimemezelo sokwelula kwale mali esenziwe nguMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa kade ethulela isizwe inkulumo yokuvula unyaka. Sikholwa ukuthi lesi sibonelelo sizosisa kakhulu abantu abathola ubunzima ngalesi sikhathi njengoba izwe libhekene nokhuvethe. Okubalulekile nokuphawulekayo ngalesi sibonelelo sesikhashana esihlinzekelwe abangaseben-

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

zi nguhulumeni waseNingizimu Afrika ngukuthi abantu kumele basebenzise izindlela ezishiwoyo zokufaka isicelo bangayi emahhovisini aseSassa ukuyofaka khona izicelo,” usho kanje. Kunxuswe abantu ukuba mabafake izicelo zabo zikaR350 ngokulandela indlela yobuchwepheshe ehleliwe. Kuthiwe kulabo abafisa ukwenza izinguquko ngendlela abathola ngayo le mali ukuba mabaye kwi-srd.sassa.gov.za. Kucelwa labo abadinga ukulekelelwa ngokuthola le mali ukuba mabakhulume nezisebenzi zakwaSassa namavolontiya. Uma umuntu eseke wasifaka isicelo phambilini futhi saphumelela sisuke singasekho isidingo sokufaka isicelo kabusha uma kwelulwa isikhathi. Kwaziswa labo abebethola le mali eposini ukuba sebangafaka isicelo sokuyithola emabhange abo nyanga zonke. Kuthiwe nyanga zonke kuzocutshungulwa ukuthi lo muntu owamukela lesi sibonelelo usafanelekile yini ukusithola. Labo abachithiwe kwathiwa kabakulungele ukwamukela le mali banelungelo lokufaka isicelo sokubukezwa kwesinqumo esibachithile.


FEBUWARI 2021

N G O - 2 0 3 0

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

I T H E K U

L I Y O B E

L I N G U

IKHASI 5

N G Q A

P H A M B I L I

Uhlelo lwe-Academy of Learning lunika ulwazi namathuba amaningi

K

UBAFUNDI abanikwa imifundaze, noma abangena ohlelweni lokufundela imisebenzi, lokhu kufana nokubamba ijekphothi. Ukuqeda le nkoleloze ethi iziqu ezingenasipiliyoni zifana nephepha nje elingasho lutho, kungesinye sezizathu ezinkulu ezadala ukuthi idolobha lisungule i-EThekwini Municipal Academy (EMA). I-EMA ithathwa njenge ‘big brother’ kubafundi ngokubanika amakhono afanele anomthelela omkhulu, imifundaze, ukufunda umsebenzi, noqeqesho lwasemsebenzini oludingekayo ukuze umfundi aqedele izifundo zakhe – lokhu nje okumbalwa emathubeni ahlinzekwa yi-EMA. I-EThekwini Municipal Academy (EMA) igxile ekufundeni nasekuthuthukeni njengoba izama ukuba isikhungo sokufunda esihamba phambili komasipala bonke base Afrika, sokwenza kahle, sokuqamba okusha, sokufunda nokuthuthuka. Umnyango wakwa-EMA unenqwaba yezinhlelo ezifaka ukufundisa intsha nabadala ngamakhono olimi nezibalo, ukukhuthaza ukufunda ngomsebenzi, amabhizinisi amancane, izinhlelo zokuqeqesha eziphakanyiswe ngabasebenzi, amaNGO kanye nomphakathi. Ukulungisa nokukhuphula izinga lokufinyelela ezinhlelweni eziqondene nemisebenzi nakho kungumsebenzi wakwa-EMA. INhloko yakwa-EMA: Dkt Mpilo Ngubane uchaze wathi: “Ukungaqashwa kwentsha, ikakhulukazi abafundi abaqede iziqu zabo, kuyaqhubeka nokuba inselelo kuMasipala waseThekwini. Uma kuqashwa, izinkampani eziningi zidinga abafakizicelo abanesipiliyoni ngakho ukuthuthukiswa kwamakhono kudlala indima enkulu ukubhekana namazinga aphezulu okungaqashwa kwentsha kanye/noma abasanda kuthola iziqu zabo.” Ngokuhambisana nokuphokophelwe ngu-EMA, uMasipala uzimisele ukuhlinzeka ngamasu ahlukahlukene okuthuthukisa abasebenzi nokuba nobambiswano nabanye abantu. Lokhu kumayelana nokwakha isiko lokuhlala kufundwa. Abakwa-EMA bayazama ukufukula izinkulungwane zabahlali baseThekwini kanye nabasebenzi ngokubahlinzeka ngezinhlelo zamakhono anomthelela empilweni yabo.

EThekwini Municipal Academy IZINHLELO: A. COOPERATIVE EDUCATION PROGRAMMES: Lolu hlelo ludidiyela ulwazi lwemfundo lwasesikoleni nalolo lwasemsebenzini uqobo. Uhlelo lusiza abasanda kuqeda iziqu zabo nalabo asebezoqeda izifundo zabo ukuba bathole isipiliyoni somsebenzini.

Ababambiqhaza bangaphambilini bohlelo lokuqeqeshela amakhono ezokucisha umlilio, iFirefighters Skills Training Programme, ehlinzekwa wuhlaka lwezemfundo i-eThekwini Municipal Academy.

Siphesihle Myeza owathola umfundazwe wobunjiniyela

Abongile Luthuli, osohlelweni lokubeka istini

Isibonelo esihle semiphumela yemisebenzi yakwa-EMA umfundaze owanikwa uSiphesihle Myeza (22) njengamanje osebenzela uMasipala kwaRoads and Stormwater Maintenance Office (Western Region). “Amagama angeke aveza ngokwanele ukuthi ngibonga kangakanani kuMasipala ngokunginika umfundazwe. Unginike ithuba lokufingqa imikhono yami, ngithole isipiliyoni somsebenzi nokwasiza kakhulu eziqwini zami ze-BSc Civil Engineering Degree (University of KwaZulu-Natal). Ngaphezu kwalokho, umfundaze ususe omkhulu umthwalo wezezimali kimi, kufanele ngabe ngicwile ezikweletini, kepha ngenxa yalo mfundaze, ngiyakwazi ukunakekela umndeni wami,” kusho yena. Njengomntwana, uMyeza wakhombisa uthando olukhulu lokudweba, ingqalasizinda, ukudizayna nokwakha – ngamathoyizi akhe! Uthe konke kwaqala lapho, kanti ukuvula inkampani yakhe enye yezinhloso zakhe ezinkulu.

Omunye onamaphupho amakhulu afisa ukuwabona ephumelela, u-Abongile Luthuli obhalise ohlelweni lwakwa-EMA lokubeka istini (Bricklaying Apprentice Programme). Abakwa-EMA basiza lo mhlali oneminyaka engu-25 waseMlazi ukuba azakhele isisekelo esiqinile ngokumamukela kulolu hlelo. Emva kokuqeda izifundo zeminyaka emibili ze-Civil Engineering, ezazifaka nokubeka istini nokuplastela, wangena kwa-EMA. Uqale uhlelo lwakhe lokufunda lweminyaka emithathu ngo-October 2020. “Ithuba uMasipala waseThekwini angiphe lona, lingaphezu kwemali. Bengifuna ukuthola uqeqesho oluyilonalona ngifunde nakho konke okuyisisekelo okudingekayo ngokwakha isakhiwo ngisisuse phansi. Abakwa-EMA banginike ulwazi lokuthi lezi ezinye izifundo zihambelana futhi zisebenzisana kanjani nezami,” kusho uLuthuli.

Ekhuluma ngokuqala kwesikhathi sokufunda sika 2021, uMeya uKaunda uthe: “Eminyakeni eyedlule, uMasipala uqale izinhlelo

eziningi eziyimpumelelo ezisebenze njengethuluzi elikhulu lokukhulisa nokuthuthukisa ezemfundo. Umnyango wakwa-EMA

ASILWE NOKUBHEBHETHEKA KWE COVID-19

Siyanda Cebekhulu, osohlelweni kwe-Graduate Work Experience USiyanda Cebekhulu usohlelweni lakwa-EMA lwabafundi abasanda kuqeda iziqu zabo iGraduate Work Experience Programme. Njengamanje usebenza njenge-Project Administrator (Graduate) ngaphansi kwaka-EMA ohlelweni lwabo lweOutreach and Capacity Building Department. UCebekhulu wenza izifundo zeBachelor’s Degree in Correctional Studies (Justice System) kanye ne-Postgraduate Diploma in Community Development Ongoye. Uthe ukuba yingxenye yohlelo lwe-Graduate Work Experience kuyithuba elihle lokuthola isipiliyoni somsebenzi njengomuntu omncane osanda kuqeda izifundo zakhe. “Emnyangweni wami, ngenza imisebenzi ethinta umphakathi. Ngisebenza kumaphrojekthi asemiphakathini, ukufundisa ngezifundo ezingathathwa abantwana, ukuthuthukisa amakhono nokufundisa ngenzinhlelo zokufunda ngomsebenzi, ukubala nje okumbalwa”. sewaziwa njengesikhungo sokufunda esihamba phambili komasipala bonke base Afrika, sokwenza kahle, sokuqamba okusha,

1.5 metre

Thobile Cele, osohlelweni lukagesi UThobile Cele, wathola ngamathuba akwa-EMA ngokufunda EzaseGagasini Metro, okuyiphephandaba loMkhandlu. UCele wafaka isicelo sokuba yingxenye yohlelo lwakwa - EMA lwe-Electrical Apprenticeship Programme. Waqala ukufunda ngomsebenzi wakhe ngo 2019 futhi uma konke kuhamba kahle, uzoqeda lolu hlelo ngo 2022. Abafundi be-Electrical Engineering bathe ithuba abalinikwa abakwa-EMA liyivela kancane. “Ngingumuntu ozibambelayo. Ngiyawujabulela umsebenzi owenziwa ngezandla, ukwenza into isebenze noma isebenze kangcono. Ngifuna ukuba ngumuntu osebenza ngogesi kanti amagama awanakuchaza ukuthi ngibonga kangakanani kwabakwa-EMA ngokubona leli thuba kimi. Umfundi we-Electrical Engineering uthe abakwa-EMA bavuthela inhlansi kuye yokuba enze kangcono ukuze enze umsebenzi oyiphupho lakhe.

sokufunda nokuthuthuka ezingeni lomhlaba,” kusho uMeya.

B. LEARNERSHIPS: Lolu hlelo lufaka izifundo zolwazi kanjalo nesipiliyoni sokwenza umsebenzi uqobo wohlobo oluthile, isikhathi esithile oluzosiza ukuba umfudi athole iziqu ezisemthethweni ezibhaliswe kwi-South African Qualification Authority (SAQA). C. SKILLS PROGRAMMES: Lezi izinhlelo ezihambisana nomsebenzi othile futhi uma seziqediwe, zizokwakha izifundo ezibhaliswe kwi-National Qualification Framework (NQF). Ngaphezu kwalokho, ukwakheka nokwenziwa kwazo kufaka ukubambisana phakathi kwabaqashi nabahlinzeki bemisebenzi. D. APPRENTICESHIPS: Lezi yizinhlelo ezihambisana nomsebenzi othile uma seziqedile zakha izifundo ezibhaliswe kwi-National Qualification Framework (NQF). E. SUPPORT BASED PROGRAMMES: Abakwa-EMA basebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi abahlali bayakwazi ukuthola ulwazi ngamathuba nezinhlelo zokufunda nokuqeqeshwa. Lokhu kuzosiza abahlali ukuba babambe iqhaza ekuthuthukisweni kwamathuba omnotho, kube kwakhiwa abasebenzi abanamakhono.

NGOLUNYE ULWAZI XHUMANA NABAKWAEMA: 221 Anton Lembede Street Shell House (11th Floor) Tel: 031 311 3192

HLALA UPHEPHILE KWI C VID-19


IKHASI 6

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

FEBUWARI 2021

Kungqugquzelwe umphakathi ngokutshala MAGAYE CELE

UMEYA waKwaMaphumulo, uKhansela Zibuyile Khuzwayo-Dlamini othakasele uhlelo lwesikhathi Sokutshala olwethulwe khona KwaMaphumulo.

Ukhuthaza itsha ingene kwimboni yamabhizinisi

UNOBHALA Jikelele weYouth in Bussiness South Africa, uMunz Bright Hlongwane ogcizelela ukubaluleka kokwesekwa kwamabhizinisi abantu abasha. MAGAYE CELE MAKUBANDAKANYWE namabhizinisi aholwa ngabantu abasha kukhona konke okumayelana nokuhwebelana ukuze intsha izosimama ezimalini. Lona ngumbono wenhlangano, iYouth in Bussines South Africa. Ngokusho kwale nhlangano kuyichilo ukushiywa ngaphandle kwamabhizinisi abantu abasha kulesi sikhathi esibucayi sokuntengantenga komnotho. Loyo onguNobhala jikelele wale nhlangano, uMunz Brigh Hlongwane uthi ukholwa ukuthi azikho izinqumo ezimayelana nokuhwebelana ngokwamabhizinisi okumele zithathwe bengekho osomabhizinisi abancane futhi abangabantu abasha.

Uthi ukholwa ukuthi kuningi kakhulu okusamele kwenziwe ngenhloso yokuqinisekisa ukusimama kwamabhizinisi abantu abasha. Ukungena kwabantu abasha emabhizinisini ukuchaza njengelambu elimqoka esiFundazweni iKwaZulu Natal kanjalo naseNingizimu Afrika yonkana. Unxuse nosomabhizinisi abancane ukuthi bangazitheli ngabandayo kodwa babhukule baqinisekise ukuthi abedlulwa ngamathuba amqoka angabasimamisa empilweni nakwezezimali. Ugcizelele ukuthi kuningi okuhle okungabonakala inqobo nje uma kungaqinisekiswa ukuthi abantu abasha kabashaywa ngesithende uma kukhulunywa ngamathuba amahle okuzikhulisa ngokwamabhizinisi. Uthe: “Abantu abasha yibona abaningi kakhulu eNingizimu Afrika. Ngakho ke kumele kube yibona ababekwa phambili kukhona konke okuqhubekayo ezweni. Sikholwa ukuthi sesifikile manje isikhathi sokuba abantu abasha abasemabhizinisini banikezwe amathuba angcono angaholela ekutheni baphile kangcono nemindeni yabo baphinde bakwazi nokuthi baqashe abanye abantu abasha.” Ukutshwala kwemali eshisiwe kumabhizinisi amancane abantu abasha uthe akangabazi ukuthi kungaletha impilo enhle kakhulu kubantu abaningi baKwaZulu Natal namaphethelo. Uthe bayawethemba kakhulu amabhizinisi abantu abasha. “Kumele kuqinisekiswe ukuthi kutshalwa izinsizamali ezinkulu kakhulu kuwona wonke amabhizinisi abantu abasha abonakala edlondlobala. Akekho noyedwa umuntu okumele asikhulumele ngoba siyakwazi ukuzenzela nokuzikhulumela futhi siyakwazi,” kusho uMnuz Hlongwane.

IZIBANDAKANYA nohlelo olumqoka kakhulu oluqhakambisa ukubaluleka kokutshala kwindawo yakwaMaphumulo oGwini olusenyakatho yesiFundazwe iKwaZulu Natal. Ukuzibandakanya kwalo mphakathi nalolu hlelo kuqinisekiswe yiloyo onguKhansela wale ndawo, uNkk Zibuyisile Khuzwayo-Dlamini. Lo Mkhandlu wethule uhlelo olubizwa ngokuthi Isikhathi Sokutshala okuhloswe ngalo ukugqugquzela amalunga omphakathi wakule ndawo ukuba azijwayeze ukulima. Lo mkhankaso ochazwe njengomqoka ikakhulukazi kwezokongiwa kweMvelo ubuye uqhakambise kakhulu ubuhle bezitshalo zendabuko ubuye futhi ufundise kabanzi amalunga omphakathi ngezindlela ezihlabahlosile neziphusile zokutshala ngokwemvelo. UKhansela Khuzwayo-Dlamini uzwakalise ukuthakasa kwakhe okukhulu ngokwethulwa kwalolu hlelo KwaMaphumulo. Wathi kulokoza inhlansi yethemba ngokuphumelela kwalo. Ngalolu suku kube khona umbukiso wezitshalo obukade uqhubeka enkundleni yeZemidlalo yaseSabuyaze khona KwaMaphumulo. Bekukade kukhona

naloyo onguNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu, uNkk Neliswa Peggy Nkonyeni naye oluncome kakhulu lolu hlelo waluchaza njengolumqoka. Lolu hlelo lungolunye oluqhutshwa ngenhloso enkulu yokufukula isiFundazwe iKwaZulu Natal kweZolimo. Ngokusho kwakhe uNkk Nkonyeni sesifikile manje isikhathi sokuba abantu baziphilise ngokutshala. Uthe nasendulo abantu babeziphilisa ngakho vele okuvela emhlabathini. Ukhuthaze bonke abanentshisekelo yokutshala ukuba bangalenzi iphutha lokuzithela ngabandayo kodwa kunalokho babhukule baqinisekise ukuthi luyaphumelela uhlelo lwesikhathi Sokutshala olwethulwe KwaMaphumulo. Bekukhona noNdunankulu waKwaZulu Natal, uMnu Sihle Zikalala naye obengomunye wabebebhekisisa ukwenzeka kwezinto enkundleni yeZemidlalo eSabuyaze. Obengazi ubengaze afunge ukuthi bangabalimi abadala njengoba bobabili uNdunankulu noNkk Nkonyeni bebegqokise okwabaLimi abadala. Bekukade kukhona naloyo onguNgqongqoshe weZolimo nezokuThuthukiswa kweziNdawo zasemaKhaya, uNkk Bongiwe Sithole-Moloi naye olushayele elikhulu ihlombe lolu hlelo.

U-Eskom ukhulule iCogta ngesikweleti soMasipala baseKZN TSEPO MOTLOKOA

I-ESKOM KwaZulu-Natal ikwamukelwe ngezandla ezimhlophe ukusebenzisana noMnyango wokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal emizamweni yayo yokwehlisa izindleko kwabanye omasipala baKwaZulu-Natal abebekweleta lenkampani obekubonakala ukuthi kuwumqansa ukuhlangabezana nezindleko zesikweleti samademeshe abebebhekene naso. Phakathi komasipala abanamademeshe ase-Eskom ngowaseMsunduzi, owaseMpofana, iNkosi Langalibalele, nowaseNewcastle wona okweleta R383 Million. OwaseBaqumusini ushayelwe ihlombe ngokukwazi ukukhokha sawo sikaR52.5million ngoDecember nyakenye. Kuyimanje i-Eskom izama ukuza nezindlela ezintsha zokusebenzisana nowaseMpofana nowaseNewcastle ukuze nabo labo masipala bagcine bengene emabhukwini amahle okusebenzisana nalenkampani. Ngokwesitatimende esikhishwe yi-Eskom ngomkhulumeli wayo KwaZulu-Natal uNkk Joyce Zingoni ubonge ukubambisana naboMnyango wokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal okwenze izingxoxo zabo zathela

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

izithelo ezinhle. “I-Eskom KwaZulu-Natal inqume ukwehlisa amademeshe abebhekene nabanye omasipala balesi sifundazwe futhi sibonga nokubambisana nomnyango ukuze izinhlelo zethu ziphumelele kahle. Eminyankeni emithathu edlule umnyango ubambe iqhaza elikhulu ekubhekeni izindlela ezingalandelwa ekwehliseni umthamo wamademeshe komasipala abebekweleta i-Eskom. Sibonga umlawuli waseBaqulusini nethimba lakhe ngokusebenza ngokuzikhandla ekuqinisekiseni ukuthi isikweleti sabo bayasiqeda. Sibonile nowaseNewcastle uzama ukusebenza ngokuzikhandla ukwehlisa isikweleti sawo obhekene naso. Sibonga umnyango obe ngakithina futhi sithemba ukuthi ngokubambisana singaphuthuma okuhle kakhulu ekukhuliseni umnotho wesifundazwe sethu,” usho kanje. I-Eskom ithe iyathemba ukuthi lezi ngxoxo zokusebenzisana noMnyango wokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal zizokhuthaza nabanye omasipala ngokuthi bangabi manqika nokuxhumana namahhovisi ayo ukuze kuhlelwe ukuthi kungasetshenziswana kanjani ekwehliseni izikweleti zamademeshe kagesi abazikweleta le nkampani.


FEBUWARI 2021

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Bavikela imfuyo engumnotho wabanumzane

INKOSI uSimphiwe Zuma evikela abafuyi abayizisulu ngokuthathelwa izinkomo zabo TSEPO MOTLOKOA UMKHANDLU wesizwe saKwaNxamalala eMpendle ngaphansi kobuholi beNkosi uSimphiwe Zuma usemizamweni yokulekelela abafuyi ekuvikeleni imfuyo yabo ethathwa njengegugu kubanumzane njengoba kuyiyona exosha ikati eziko emakhaya amaningi nengumgogodla wentuthuko kubantu basemakhaya. INkosi uZuma ithi izokwenza

ngazo zonke izindlela ukuvikela abafuyi kubantu abazitamuzela emfuyweni yabo ngokuthi kuqine umthetho kulabo abazobanjwa nezinkomo zokwebiwa. Inkosi ilinganise ngokuthi uma umnumzane entshontshelwe ngumhlambi wezinkomo ezingu-20 kwase kutholakala eziwu-5 kumuntu loyo okutholakale kuyena izinkomo uyophoqeleka ukuzikhokha zonke nalezi ezinye ezingu-15 ezingazange zitholakale kuyena. “Lena yimi-

zamo yokuhlenga igugu elingumnotho wabantu ngoba kuyaziwa ukuthi imfuyo iyona eyintuthuko emindenini eminingi nanokuthi kunabanumzane abathembele kuyona ukondla izingane zabo njengoba kukhona nezifunda ezikhungweni zemfundo ephakeme ngazo lezi nkomo. Sifuna isizwe sibe ebalazweni elihle futhi kufunde nabantu ukuthi isibaya somnumzane siyahlonishwa kawukwazi ukuthi ungangena kusona uzitamuzele emhlambini yamadoda. Isizwe singena ehlazweni uma kuzolokhu kuzwakala ukuthi eMpendle kulahleke izinkomo ezingaka kodwa kungezwakali ukuthi bakhona yini ababanjiwe bajeziswa. Siyisizwe saKwaNxamalala sinqume ukuqinisa imithetho kulabo abazobanjwa nezinkomo zokwebiwa ngoba sifuna ukukhuza nabanye abasacabanga ukuzicanasela ezibayeni zemizi yabantu ngokuthi bazi ukuthi udaba uma lufike kithina sizoqhuma sizwele isibhaxu senhlawulo,” kusho iNkosi yaKwaNxamalala. UMnu Zwangoyise Tallman Zuma onguSihlalo weKwaZulu-Natal Community Crime Prevention Association (KZNCCPA) okuwuhlaka olungaphansi koMnyango wokuPhepha nokuXhumanisa uMphakathi KwaZulu-Natal futhi oyilungu lomkhandlu wesizwe saKwaNxamalala unxuse abazali ukuba neso ezinganeni zabo ezingabafana njengoba kusetshenziswa zona ukuntshontsha izinkomo. Uthe bazimisele ukulwa nalo lonke uhlobo lokwebiwa kwemfuyo eMpendle njengoba kudla lubi.

UMasipala nabakwaSolid waste nosizo emphakathini MAGAYE CELE

ZIBUKEKA kanjena izibani ezibizwa ngokuthi yiRechargeable Led Lantern uMkhandlu waseMandeni ngokubambisana nabakwaSolid Waste abanikele ngazo ezikhungweni zabantu abahlukumezekile.

UMKHANDLU waseMandeni oholwa nguKhansela Thabani Mdlalose ngokubambisana kanye nenkampani yezamandla iSolid Waste banikezele ngosizo olumqoka lwezibani zokukhanyisa zeqophelo eliphezulu ezikhungweni ezigcina abantu abahlukumezekile kanye nabaphila nokukhubazeka. Loyo osesiShayamthetho saKwaZulu Natal futhi ngokuzalwa ongowakhona eMandeni, uMakhosazane Zungu ukushayele elikhulu ihlombe ukunikezelwa kwalolu sizo kulezi zikhungo. Uchaze izikhungo ezigcina abantu abahlukumezekile ngezindlela ezahlukene njengezimqoka. Uthe kuyajabulisa ukubona uMkhandlu waseMandeni wenza konke okusemandleni ngenhloso yokunikezela ngosizo kulezi zikhungo. Phakathi kwezikhungo zabahlukumezekile ezithole usizo lwezibani kubalwa iHouse of Hope kanye neKhwezi zombili ngezakhona eMandeni enyakatho yeKwaZulu Natal. Uhlelo lokuhlinzekwa ngezidingo kwalezi zikhungo uMakhosazane uluchaze njengoluhlabahlosile. Uthe: “Kuyinto emqoka ukubona uMkhandlu unikezela ngosizo ezikhungweni

ezimqoka emphakathini. Phela abantu abagcinwe kulezi zikhungo kubafanele ukuhlomula ngezidingo ezimqoka.” UMakhosazane uncome nenkampani iSolid Waste ngokuphonsa itshe esivivaneni uma kuhlatshwa ikhwela. Uthe ziwusizo izinkampani zalolu hlobo ezingabi manqika uma zinxuswa ukuthi kube khona ezikwenzayo ngenhloso yokusiza izinhlangano ezingayenzi inzuzo. Zingu-100 sezizonke izibani ezinikelwe ngaleli langa. Ezinye zazo zinikelelwe abantu abadala bakhona eMandeni. Ezinye zinikezelwe emindenini yabadla imbuya ngothi. UNksz Lungi Nsele weHouse of Hope ubonge wanconcoza ngosizo abalutholile. Uthe baswele imilomo eyezinkulungwane. Uthe bebehlale njalo bezithola bebhekene nengwadla ikakhulukazi uma kudlange ukucishwa kukagesi oqhubeka ngokwahluka kwezigaba (Load Sheding). “Bekuba nzima ukuthi sikhanyise amakhandlela ngoba ayingozi kubantu,” usho kanje. UNksz Andile Zulu okunguyena ohlele lolu hlelo lwezibani uthe uyabonga ukubona isifiso sakhe sifezeka. Udalule ukuthi kwamphatha kabi ukubona kusweleka uSandile esikhungweni iKhwezi ngenxa yekhandlela.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 7

SIVUBELA Intuthuko ITHIMBA LEPHEPHA >> UMHLELI MAKHOSI MNGOMA makhosi@sivubelaintuthuko.co.za 083 618 4252

NOKULUNGA MAJOLA Info@sivubelaintuthuko.co.za 072 1792 255

>> INTATHELI YEZEMIDLALO THABANI MAPHUMULO trmaphumulo@gmail.com 063 278 3658

>> GRAPHIC DESIGNER AND LAYOUT LINDA MAZIBUKO trusouth1@gmail.com 076 4847 269

SANELISIWE NGEMA Info@sivubelaintuthuko.co.za 067 920 8446 MAGAYE CELE info@sivubelaintuthuko.co.za 067 920 8446 TSEPO MOTLOKOA info@sivubelaintuthuko.co.za 067 920 8446 IWEBSITE YETHU www.sivubelaintuthuko.co.za sivubela intuthuko @sivubela intuthuko sivubelaintuthuko B 33 Ten Acre Thembeni Groutville, P.O Box 4473, Stanger 4450, 270 Stamford Hill Road Unit 1 Morningside, Durban, 4000 UMA UFUNA UKUKHANGISA KULELIPHEPHANDABA , SHAYELA 067 920 8446 / 083 618 4252


IKHASI 8

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

FEBUWARI 2021

Sivubela Intuthuko

EZEMIDLALO

Kuzoqhasha ifinyila eyamankomane e-KZN

UMSHAYISIBHAKELA u-Ayanda Mthembu ongomunye wamabhokisa okulindeleke ukuthi aqhathwe ezimpini zaKwaZulu Natal. MAGAYE CELE ABAHLELI bezimpi zesibhakela sebeda-

lule ukuthi zizoba ziningi kakhulu izimpi ezizoba khona esiFundazweni, iKwaZulu Natal kulo nyaka. Sebebonke laba bahleli bezimpi kubalwa uNksz Zandile Malinga, uDaouglass Sibiya, uNksz Nomveliso Shezi, uNksz Balungile Mazibuko kanye noSandile Vilakazi. Isizathu salezi zimpi badalule ukuthi yingoba bafisa ukubona abantu baKwaZulu Natal nabo bethola ingqayizivele yethuba lokuzijabulisa ngezamankomane. Bakhuluma kanjena nje kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka owedlule lolu hlelo lwabo lwabhuntsha ngesikhathi kuvumbuka ukhu-

vethe lweCovid 19 olwaphazamisa konke emhlabeni. Base beqalile bonke ukuhlela lezi zimpi kodwa ngemuva komyalelo kaMengameli wezwe, uMnu Cryil Ramaphosa sokuyisa izwe esigabeni sesihlanu somvalelandlini kwaholela ekutheni konke kume nse. Lokhu kwadala isikhalo esikhulu kubathandi nabalandeli bezamankomanae bebalisa ngesomiso sesibhakela. USibiya wesitebele sesibhakela iSotobe Boxing Promotions uthe izimpi kwakufenele zibe ngonyaka owedlule. Wathi kodwa ke akusenani njengoba bezimsele ngokubesula izinyembezi abathandi besibhakela baKwaZulu Natal. Ukhulume ngokubaluleka kokuba izimpi zesibhakela zisatshalaliswe kuzona zonke izindawo ikakhulukazi emakhaya. “Kumqoka kakhulu ukuba izimpi zesibhakela kungabi yinto ephelela emadolobheni nje kuphela. Yingakho nje siza KwaZulu Natal ngoba sihlose ukuthatha izimpi sizisondeze kubantu emakhaya. Lokhu sinesiqiniseko esikhulu sokuthi abantu basemakhaya bazokujabulela kakhulu,” usho kanje. UMike Dube onguSihlalo wezamaNkomane esifuNdazweni iKwaZulu Natal usishayele elikhulu ihlombe isinqumo sabaqhathi besibhakela sokuthatha izimpi bazilethe KwaZulu Natal. Lokhu uthe kuletha inhlansi yethemba mayelana nokudlondlobala kwezamankomane KwaZulu Natal yonkana. “Kuyajabulisa kakhulu ukubona izimpi zilethwa esiFundazweni KwaZulu Natal. Sengathi zinganda izimpi ezilethwa ngabaqhathi besibhakela kulesi siFundazwe. Lokhu sikholwa ukuthi kungagcina kudala uthando kanye nentshiseke-

lo enkulu yesibhakela kubantu baKwaZulu Natal,” usho kanje. Lezi zimpi ezinye zazo sezike zabonakala kwaNongoma. UThulani “Nkunzi” Magudulela weLudonga Promotions osandla

kudlula emhlabeni ungomunye wabaqhathi besibhakela obekubeka eqhulwini ukulethwa kwezimpi zesibhakela esiFundazweni iKwaZulu Natal.

iTS Galaxy iqinise isikwati sayo

UThulani “Nkunzi” Magudulela weLudonga Boxing Promotion ungasekho emhlabeni. THABANI MAPHUMULO NGAPHAMBI kokuba kuvalwe iwindi lokugcogcoma kwabadlali iTS Galaxy engomakoti esigabeni seDStv Premiership iqinise isikwati sayo. Leli qembu lisayinise umdlali wasemuva obegijima

kuMaritzburg United uPogiso Sanoko. Lo mdlali oneminyaka engama-28 usayine inkontileka yeminyaka emibili okusho ukuthi uzohlala kuze Kube unyaka ka-2023. USihlalo waleli qembu uTim Sukazi uzwakalise ukujabula ngokuthi bathole lomdlali. “Ngikholwa ukuthi ungumdlali onekhono futhi uzosiza iqembu ngenxa yesipiliyoni anaso. Sikulangazelele ukusebenzisana naye okuhle,” kusho Sukazi. USanoko uwuhlobo lomdlali okwaziyo ukudlala izindawo ezahlukene emuva uzwakalise ukujabula ngokujoyina amaRockets .“ITS Galaxy iyiqembu elisezingeni nelihlelekile, ngijabule kakhulu ukuthi ngibe inxenye yalo. Isifiso sami ukusiza leli qembu ukuthi okungenani liqede likuTop 8. Ngikholwa ukuthi lokho singakwazi ukukwenza yize sinabadlali abancane, kodwa bakhombisa ukusebenza kanzima,” kuchaza uSanoka. Leli qembu lithenge igunya lokudlala leHighlands Park negcine kuphelile ngayo. Lisanda kumemezela abaqeqeshi ababili abanesipiliyoni okuwu-Owen Da Gama Kanye noShaun Bartlett.

Kuphinde kwagadla ukufa emkhakheni wesibhakela THABANI MAPHUMULO UMGQUGQUZELI wezimpi onamava waseThekwini, uThulani “Nkunzi” Magudulela weLudonga Boxing Promotion, akasekho emhlabeni. UMagudulela ushone ezintatha ngosuku lwangoLwesibili ngemuva kokuxinwa isikhashana ukugula okuyamaniswa negciwane ukhuvethe. Lezi zindaba zokudlula emhlabeni kwaMagudulela, ziqinisekiswe indodana yakhe uZwilenkosi Magudulela.

“Impela ngingakuqinisekise akasekho emhlabeni ubaba emva kokuxinwa ukugula obekuyamaniswa negciwane ukhuvethe,” kusho uZwilenkosi naye okuwo lomkhakha wesibhakela eLudonga Boxing Promotion. UMagudulela, ubalwa nabanye abathathe Umdlalo wesibhakela bawubeka kweminye izinga. Udlule emhlabeni elakuleli lisakhala ngokubamba kwaMzimasi Mnguni. UMnguni naye wayemgumhleli wezimpi ohlonishwayo emhlabeni ngaphambi

lokuhlaselwa yisifo senhliziyo ngo-2014 okwalandelwa ngezinye izifo ezigcine zimhlalisa esihlalweni esinamasondo. Omunye osebenzisane no Magudulela kulomkhakha uThulani “3 Seconds” Nkwanyana naye ukhale esifanayo ngamagalelo kwaMagudulela kulomkhakha wesibhakela. “besinobudlelwano obuhle, ngoba nami bengikhiqiza abafana bese ngibayisa kuyena abaqhathe, Indima yedibhakela ilahlekelwe kakhulu”

UThulani “Nkunzi” Magudulela weLudonga Boxing Promotion ungasekho emhlabeni.

031 828 0433 / 082 597 6669

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.