Sivubela Intuthuko Newspaper

Page 1

SIVUBELA Intuthuko

ADVERTISING: 067 920 8446 JANUWARI 2021

UMasipala nohlelo lokuthuthukisa intsha

iKhasi 5

FACEBOOK: SIVUBELA INTUTHUKO

SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IHarry Gwala isele nesilonda ngokushona kukaMnu Jackson Mthembu

iKhasi 2

LIMAHHALA USHICILELO 57

Owe-Bucs uthi uzolwela ijezi

Isikhungo situsa iqhaza labelaphi bendabuko ekuthuthukiseni abantu

iKhasi 6

UMasipala ukhuza umkhuba ngokucekelwa phansi kwemibhoshongo

iKhasi 8

udaba ekhasini 3.

Umnyango kulindeleke uxhase abalimi ekhasi 3.

UMEYA woMkhandlu weTheku, uKhansela Mxolisi Kaunda okhuza umkhuba osuphenduke insakavukela muva nje wokubulawa kwemibhoshongo esiza ukuthi kube lula ukuxhumana kusetshenziswa omakhalekhukhwini, okwenziwa ngabantu abakholwa ukuthi le mibhoshongo ibangela iCovid-19.


IKHASI 2

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

JANUWARI 2021

UMnyango uzoqinisekisa imigomo iyangcinwa emahhotela

UMNUZ Ravi Pillay onguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, eZokuvakasha KwaZulu Natal othi kukhona okumele kwenziwe ngenhloso yokuhlenga amahhotela aseThekwini ikakhulukazi iHilton Hotel. MAGAYE CELE UMNYANGO wezokuThuthukiswa koMnotho, eZokuvakasha KwaZulu

Natal uthi uzokwenza konke okusemandleni awo ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi amahhotela aseThekwini awakhinyabezeki ngesikhathi somvalelandlini.

Lokhu kuvezwe yiloyo onguNgqongqoshe walo Mnyango kulesi siFundazwe, uMnu Ravi Pillay. Ubekade ekhuluma egxile kakhulu embikweni obumayelana nehhotela lodumo laseThekwini, iHilton ebelihlongoza ukuvala ngenxa yezinkinga eziningi ezibangelwe ukuvalwa kwezwe ngenxa yobhubhane lweCorona olubonakala ludla lubi muva nje. Echaza uMnuz Pillay uthe: “Ngikhuluma nje simatasa kakhulu sisebenzisana nezinye izinhlaka ngenhloso yokuthi kutholakale isisombululo sale ngwadla ebonakala inyonyobele namanye amahhotela akhona eThekwini. Siyethemba ukuthi sikhona isixazululo esizogcina sitholakele kodwa esingeke silimaze imindeni igcine ihluleka ukubeka isinkwa phezu kwetafula.” Eqhuba uthe into eseqhulwini kunayo yonke kulesi sikhathi samanje ukuqinisekisa ukuphepha kwabantu kanye nokuhlengwa kwamathuba omsebenzi. Ngokusho kukaMnu Pillay amahhotela angumgogodla wokuphumelela kweZokuvakasha eThekwini wathi ngaleyo ndlela kumqo-

ka kakhulu ukuthi kube khona okwenziwayo ngenhloso yokunqanda umonakalo obonakalayo. Uthe njengohulumeni kuyinto abangeke bayiphike ukuthi selokhu kuqale ukudlanga mawala kobhubhane lweCorona umnotho uthikamezekile kakhulu kanjalo nezokuVakasha nazo zaphinde zashayeka kakhulu kunakuqala. Noma kunjalo uthe kodwa kumqoka ukuthi kube khona okwenziwayo ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi amahhotela awashayeki aze agcine ngokuvala okuyinto athe ingaba nomthelela omubi kakhulu emnothweni waKwaZulu Natal. Uthe yize iCorona ibonakala idla lubi wathi kodwa kumqoka ukuthi kuphinde kuqinisekiswe ukuthi nomnotho ugcinwa uphila ukuze neDolobha nalo lizoqhubeka nokugaya imali lisebenzisa ezokuvakasha. Kuzokhumbuleka ukuthi izindaba zokuvalwa kweHilton zethusa abantu abaningi baseNingizimu Afrika ikakhulukazi baseThekwini.

IHarry Gwala isele nesilonda ngokushona kukaMnu Jackson Mthembu

UMnuz Jackson Mthembu okwesokudla ulalele uMnuz Sipho Hlomuka kanye noMnuz Zamo Nxumalo besendaweni yaseHarry Gwala District TSEPO MOTLOKOA UMASIPALA wesiFunda saseHarry Gwala uzikhotha amanxeba ngokushona kukaMnu Jackson Mthembu obengungqongqoshe ehhovisni likamengameli waseNingizimu Afrika uMnu Cyril Ramaphosa njengoba uMnu

Mthembu kunguyena obebheke ukusebenza kwe-ANC kulesi funda ngokujutshwa nguyena uMnu Ramaphosa ngaphansi kwe-ANC. UMnu Sipho Hlomuka onguNgqongqoshe woMnyango WezokuBusa NgokuBambisana NezoMdabu KwaZulu-Natal abuye abe nguDistrict Champion waseHarry

Gwala ukhiphe isitatimende sokulila kobuholi balesi sifunda ngokudlula ngokuzuma kukaMnu Mthembu. UMnu Hlomuka ukhumbule izikhathi ezimnandi abazichithe ndawonye noMnu Mthembu ekuthuthukiseni isifunda saseHarry Gwala njengoba ebeyi-Harry Gwala District Champion ezoqinisekisa

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

nokuphumelela kwezinhlelo ze-District Development Model kulesi funda. “UMnu Mthembu ukhombise ubuchule obuyisimangaliso ekuxazululeni izihibe ezinqinda ukuhambisa kahle intuthuko kubantu ikakhulukazi basemakhaya. Ngikhumbula ayehambele esibhedlela iSt Apillinaris efica kunobuhixihixi bokusebenza kwe-network njengoba angenelela ukuxazulula leyo nkinga. Lapha wasebenzisana noNgqongqoshe wezokuXhumana uNkk Stella Ndabeni-Abrahams ukuxhumana nezinkampani zamaselula ukuze kube lula ukusebenza kulesiya sibhedlela ngakwezokuxhumana. Sibuhlungu ngokudlula kwakhe emhlabeni sasingazi ukuthi mhla sasinaye sethula iDistrict Development Model sasigcina ukuhlanganyela naye,” kusho uMnu Hlomuka. Eqhubeka uMnu Hlomuka uncome uMvelase ngokuzinikela kwakhe emsebenzini kade eyiDistrict Political Champion eHarry Gwala. Uthe baqinise kakhulu ubudlelwano babo naphezu kokuba izwe beligubuzelwe iCOVID-19 edalwa yi-Coronavirus. Umbonge ngokuba ngungqondongqondo ekuxazululeni izinkinga futhi ekhuthaza ubuholi baseHarry Gwala ukubhekana ngqo nezinkinga ezibhekene nabantu emphakathini abahlala kuwona. Imeya yaseHarry Gwala uMnu Zamo Nxumalo uncome uMvelase ngokuba ngukudla okudlekayo nokutholakala kalula uma edingeka. Uthe nabo beyisifunda bahlanganyele nesizwe ukuzilela leli qhawe ebelizinikele ekulekeleleni lapho lidingwa khona.


JANUWARI 2021

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 3

UMasipala ukhuza umkhuba ngokucekelwa phansi kwemibhoshongo

UMEYA woMkhandlu weTheku, uKhansela Mxolisi Kaunda okhuza umkhuba osuphenduke insakavukela muva nje wokubulawa kwemibhoshongo esiza ukuthi kube lula ukuxhumana kusetshenziswa omakhalekhukhwini, okwenziwa ngabantu abakholwa ukuthi le mibhoshongo ibangela iCovid-19. MAGAYE CELE IMEYA yeTheku, uKhansela Mxolisi Kaunda ukhuza ibhadi ngalabo bantu abasabalalisa izimfundisoze zokuthi kunobudlelwano phakathi kwemibhoshongo yezokuXhumana ngamacelular neCovid -19. UMeya uthi alukho ucwan-

ingo lwezeSayensi oluqinisekisa lokho. Uthi lokhu kungamapunge uqobo lwawo wathi kumqoka kakhulu ukuba bakhuzwe bonke labo abasabalalisa lezi zindaba azichaza njengezidala ukudideka ziphinde zishiye nenqwaba yemibuzo kuzona zonke izakhamizi ezingaphansi koMkhandlu weTheku.

Ukusabalala mawala kwale nsambatheka yenkulumo uKhansela Kaunda ukufanisa nokufela ngamathe umsebenzi omkhulu noncomekayo osuwenziwe wuMkhandlu weTheku neNingizimu Afrika yonkana wokunqanda ukusabalala kalula kwalolu bhubhane elibonakala lidla fumuka ludla silaza. UKhansela Kaunda uthi empeleni nje kuyamangaza kakhulu ukubona kusabalala izindaba ezingamampunge ikakhulukazi kulesi sikhathi esibucayi kangaka sokudlanga mawala kobhubhane lweCorona. Uthe kumele ngabe abahlali baseThekwini nasezweni lonke babumbene bazama izindlela ezingcono zokubhekana nje ngqo naleli dimoni elifuna ukuqotha kwasani ngesikhathi esifishane. Echaza uthe: “Akulungile ukuthi kube khona abantu ababhebhethekisa izinto ezingesilona iqiniso mayelana nobhubhane iCorona. Into emqoka kakhulu ngalesi sikhathi ukuqikelela ukuthi sonke siyasebenzisana ngenhloso yokunqoba kalula lesi simo esingasabekezeleleki esibhekene naso thina sonke njengesizwe.” Ukucekela phansi kwemib-

hoshongo yezokuXhumana ngenkolelo yokuthi ibanga ukubhebhetheka mawala kobhubhane lweCorona uthe kuyicala elibovu. Eqhuba uKhansela Kaunda uthe ukucekelwa phansi kwale mibhoshongo kuveza ukuthi abanye abantu kusekude kangakanani ukuba bayiqonde kangcono indlela yesimanjemanje yokusebenza ngezobuChwepheshe okuyiyona esisetshenziswa kakhulu. Uthe: “Impela kuyaxaka futhi kusishiya nemibuzo ukubona abantu bakithi bekholwa yizinto abanganabo nobufakazi bazo. Ngikholwa ukuthi ukucekelwa phansi kwale mibhoshongo kungukufadabalisa uhlelo lukahulumeni olumqoka kakhulu lokuqinisekisa ukuthi liba ngcono kakhulu izinga lokuxhumana kwabantu kusetshenziswa omakhalekhukhwini. UKhansela uKaunda ukhuluma kanjena kuzokhumbuleka ukuthi ziningi izindawo okubikwe ukuthi abantu sebethathe isinqumo sokuba bacekele phansi imibhoshongo ngoba nakhu bekholwa ukuthi iyisizathu sokudlanga mawala kwalolu bhubhane.

Umnyango kulindeleke uxhase abalimi UKHANSELA MXOLISI KAUNDA iMeya yoMasipala weTheku

OSESITHOMBENI nguNkk Thoko Didiza ongungqongoshe wezokuThuthukiswa kwezindawo zasemakhaya omemezele ngemali eshisiwe okuzofukulewa ngayo abalimi bezingadi. MAGAYE CELE UMNYANGO wezoLimo, eZokubuyiselwa koMhlaba kanye nokuThuthukiswa kwezindawo zasemakhaya, usubeke eceleni u-R 1 billion wokufukula osomabhizinisi abancane abanothando olujulile lokulima izingadi. Lezi zindaba seziqinisekiswe yiloyo onguNgqongqoshe walo Mnyango kuzwelonko, uNkk Thoko Dididiza. Inhloso enkulu yokuhlinzeka ngalolu sizo ngokusho kwakhe uDidiza ukuqinisekisa ukuthi bayaluthola usizo abalimi bezingadi ikakhulukazi kulesi sikhathi esibucayi kakhulu sokudlanga mawala kobhubane lweCorona oluthikameza umnotho waseNingizimu Afrika nasemhlabeni nje jikelele. Le mali uNkk Didiza uthe inemibandela. Ithe umbandela wokuqala kumele itholwe ngumlimi wengadi waseNingizimu Afrika hhayi wangaphandle. Konke lokho uthe bazobe bekubheke THEalixhoshwa POWER IS IN YOUR HANDS ngelokhozi ukuthi libhekile kugcine sekuhlomulaTOGETHER abalimi WE CAN BEAT to fight against Covid-19adalule ukuthi yibona bangaphandle. Nampa abalimi bezingadi ababeCORONAVIRUS A MASK WHEN IN PUBLIC • PLAY YOUR PARTezoLimo • STAY SAFE kwe eqhulwiniWEAR kulolu hlelo lokutakula eNingizimu Afrika yonkana. Abesifazane abanentshisekelo ngezoLimo, abantu abasha basezindaweni ezahlukene, abaphila nokukhubazeka futhi abangasebenzi, abahlali basemapulazini kanye nalabo ababengamasosha alwela ubandlululo kudala. Ecacisa ngokukhetha laba bantu uthe hhayi ngoba bekhetha iphela emasini kodwa bahlose kakhulu ukulekelela labo bantu athe babonkala becindezeleka kakhulu ikakhulukazi kulesi sikhathi esibucayi sokuntentantenga komnotho okubangelwa ukuhlasela kweCorona umhlaba wonke. Ukuvezile futhi uNkk Didiza ukuthi abazohlumula kumele kube ngabantu abavele bakhona kwezoLimo. Futhi kumele kube ngabantu abanomhlaba wengadi ocishe ulingane nenkundla yebhola likanobhutshuzwayo. UNkk Didiza uthe kulokoza inhlansi yethemba ngokuphumelela kwalolu hlelo abaluqalayo naluchaze njengolumqoka kakhulu. Uthe okuhle kakhulu ukuthi akangabazi ukuthi lolu hlelo ngokuhamba kwesikhathi luzogcina seludala amathuba omsebenzi nakwabanye abantu.

HLENGA ITHEKU EHLANDLENI LESIBILI LE-COVID-19 NGOKU HLONIPHA IMITHETHO YOKUVALWA KWEZWE

KU-ALERT LEVEL 3 Wonke amabhishi avaliwe kodwa ukuhamba kwi promenade kuvunyelwe. Asihlukane nokwenza imicimbi engenasidingo emakhaya ethu sigweme nezivakashi. Ukungasigqoki isimfonyo manje kungaholela ekutheni uboshwe.

Abashayeli bezithuthi zomphakathi bangagibelisi muntu ongasifakile isimfonyo. Ukudayiswa kotshwala nokubuthutha kuyicala elibomvu. Bika ukungahlonishwa kwemithetho yokuvalwa kwezwe emaphoyiseni.

Asiqikelele ukuthi isibalo sabantu abathamela umngcwabo asidluli ku50 bese sihlukana emva komngcwabo.

MPHAKATHI WASETHEKWINI SOYINQOBA IMPI YOKUBHEBHETHEKA KWALESISIFO NGOKUSEBENZA NGOKUBAMBISANA NGASO SONKE ISIKHATHI.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


IKHASI 4

JANUWARI 2021

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

KWADUKUZA MUNICIPALITY

2021

USIZO STUDENT LWEZIMALI FINANCIAL KUBAFUNDI ASSISTANCE

“IMINYANGO YEMFUNDO IVULEKILE” “THE DOORS OF LEARNING SHALL BE OPENED”

KwaDukuza Municipality wishes to call for applications from potential students residing within KwaDukuza Area of

UMasipala umema izicelo endaweni jurisdiction, waKwaDukuza who intend to further theirabafundi studies inabafi anysa of ukufaka the reputable andabahlala recognized public tertiary institution yaKwaDukuza, abahlose ukuqhubeka nezifundo zabo kunoma yisiphi isikhungo semfundo ephakeme within the Republic of South Africa. esaziwayo engizimu Afrika. Applicants must be eligible to register for full-timeizifundo under-graduate studies or should be studying towards a Abafakizicelo kumele bavumeleke ukubhalisela zesikhathi esigcwele zabafundi abangaphansi recognized (National Diploma or Degree at anukuthola accredited South African higher education institution kweziqu noma kufanele ukuthi bafundele (iDiploma noma public iDegree esikhungweni semfundo to pursue theiresemthethweni studies in any field. ephakeme yaseNingizimu Afrika kunoma yimuphi umkhakha. Ukwesekela uhulumeni emkhankasweni wemfundo yamahhala, usizo lwezezimali lukaMasipala To support Governments call for Free education, KwaDukuzafuthi Municipality’s financial assistance will be targeting waKwaDukuza luzobe lubhekiswe kubafundithe ababuyayo luvuleleke kuyona yonke imikhakha returning students and open to all fields of studies. A minimum of 60% of the available budget will cover students yezifundo. Amaphesenti angu 60% wesabelomali esitholakalayo uzobhekela abafundi abahlose who intend pursuing non-scarce skills required local government. ukulandela amakhono angatholakali kalula by adingwa uhulumeni wasekhaya.

THE BELOW LOCAL GOVERNMENT SCARCE SKILLS WILL BE ALLOCATED ONLY 40% OF THE AVAILABLE BURSARY BUDGETBASEKHAYA ANGANDILE LAMAKHONO ANGEZANSI OHULUMENI

AZONIKEZWA 40% KUPHELA KWESABELOMALI YOMFUNDAZWE OKHONA Built Environment (Architecture, Construction Management, Quantity Surveying, Town & amp; Regional Planning, Civil engineering, Electrical Engineering (Heavy Current)Town etc. & amp; Regional Built Environment (Architecture, Construction Management, Quantity Surveying, Commerce or Electrical Supply Chain Management, Internal Planning, Civil(Logistics engineering, Engineering (Heavy Current) etc.Audit, Accounting, Property Valuation, Risk management, Public Fnance) Commerce (Logistics or Supply Chain Management, Internal Audit, Accounting, Property Valuation, Environmental Management, Horticulture, Occupational Health and Safety, Library Science, Risk management, Public Finance) Performance Management/ Monitoring Occupational & amp; Environmental Management, Horticulture, Health and Safety, Library Science, Performance Management/ & amp; Evaluation, Housing, Legal,Monitoring Community and Economic Development studies, Evaluation, Housing,management. Legal, Community and Economic Development studies, Local government

The purpose of losizo the student Inhloso yohlelo lwezezimali financial assistance programme is lwabafundi ukuhlinzeka ngosizo to provide Registration/Admission lokubhalisa / lokungena Fee assistancengemali to the value of esikhungweni R 5 000.00 toku-R5 academically elinganiselwa 000.00 deserving, needy and historically kubafundi disadvantaged students. abafanele, abahluphekayo kanye nalabo ababencishwe MINIMUM SELECTIONamathuba phambilini. REQUIREMENTS

IZIDINGO UKUZE UKHETHWE Grade 12 with University entrance/ Ibanga leshumi ngokungena / endorsement ukugunyazwa kweYunivesithi Applicants must reside in KwaDukuza (and must bahlale produce Abafakizicelo kumele original Proof(futhi of residents) KwaDukuza kumele baveze ubufakazi bokuthi bayizakhamizi)

Students who have acquired NSFAS or abathole other means of funding Abafundi i-NSFAS noma will forfeit municipal funding ezinye izindlela zokuxhaswa and funds will beyilemali credited ibuyele to bazolahlekelwa KwaDukuza Municipality. kuMasipala waKwaDukuza.

Local government management.

THE FOLLOWING MUST ACCOMPANY YOUR APPLICATION:

OKULANDELAYO OKUFANELE KUHAMBISANE NESICELO SAKHO: 1. Letter of motivation (explain why you believe you are deserving of a bursary).

1. Incwadi yokukhuthaza (chaza ukuthi kungani ukholwa ukuthi ufanele ukuthola umfundaze). 2. An original certified copy of your matric statement of results as well as a certified copy of your endorsed (B/D) Matric certificate (with Matric exemption) 2. Ikhophi eqinisekisiwe yesitatimende sakho semiphumela kamatikuletsheni kanye nekhophi eqinisekisiwe yesitifiketi sakho 3. An original certified copy of(B your official progress report, indicating marks, symbols, percentages obtained in all examinations written. sikaMatric esivunyelwe / D) (esinokukhululwa ku-Matric) 4. An original certified copy of your identity document. 3. Ikhophi eqinisekisiwe yombiko wakho wenqubekela phambili esemthethweni, ekhombisa amamaki, izimpawu, amaphesenti atholakala 5. Copy the admission requirements kuzoofzonke izivivinyo ezibhaliwe.from the academic institution for the intended course of study if you have not already been accepted. 4. Ikhophi kamazisi wakho eqinisekisiwe. 6. Copy of the curriculum (indicating the number of years of study, number of modules/subjects to be taken) from the academic institution for the intended 5. Ikhophi yezidingo zokwamukelwa esikhungweni semfundo emkhakheni ehlose ukuwufundela uma ungakamukelwa. course of study. 6. Ikhophifrom lekharikhulamu leminyaka yokufunda, inani lezifundo ezizothathwa) esikhungweni semfundo 7. Printout the academic (ekhombisa institution of inani the tuition fees that will be required. emkhakheni owukhethile. 8. Income and expenditure statement of parent/legal guardian. (Proof of income must be provided) or a letter from the Department of Labour and an affidavit 7. Incwadi eyisiqiniseko evela esikhungweni semfundo ngemali yokufunda ezodingeka. stating that the parent/s are unemployed. 8. Isitatimende semali engenayo nezindleko zomzali / umnakekeli osemthethweni. (Ubufakazi bemali engenayo kufanele bunikezwe) 9. Original certified death certificate/s of parent/s, if deceased. noma incwadi evela eMnyangweni Wezabasebenzi kanye ne-afidavithi esho ukuthi abazali / umnakekeli abasebenzi. 10. Letter of recommendation from Operation Sukumauma Sakhe War-Room or Social Workers (Optional) 9. Izitifiketi zokushona eziqinisekisiwe zabazali bengasekho. 10. Incwadi yesincomo evela ku-Operation Sukuma Sakhe War-Room noma koSonhlalakahle (akuphoqelekile) The application should be submitted in a sealed envelope and should be marked “KwaDukuza External Bursary 2021” and be submitted to, The

Isicelo sakho kufanele sifakwe emvilophini evaliwe futhi sibhalwe “KwaDukuza External Bursary 2021”Human bese sithunyelwa Municipal Manager: KwaDukuza Municipality, P.O Box 72,kufanele KwaDukuza, 4450 ukuthi or hand-delivered to KwaDukuza Municipilty, Resource kwimenenja kaMasipala KwaDukuza Municipality, PO Box 72, KwaDukuza, 4450 noma zilethwe ngesandla KwaDukuza Ricoilty, Office at the OK Mall Building, First floor, corner of Hullet and Chief Albert Luthuli Street. Human Resource Of Office e-OK Mall Building, esitezi sokuqala, ekhoneni likaHullet nakuChief Albert Luthuli Street.

CLOSING DATE: 05 MARCH 2021 BEFORE 15:00

USUKU LOKUVALA: umhlaka 05 MARCH 2021 Ngaphambi kuka-3 ntambama. Application forms are available at the KwaDukuza Youth Centre, all libraries within the jurisdiction of KwaDukuza and other municipal offices.

Amafomu KwaDukuza Youth Centre, nakuyona yonke imitapo yolwazi engaphansi kukamasipala waKwaDukuza kanye The form ezicelo can alsoayatholakala be downloaded on the KwaDukuza municipal website: www.kwadukuza.gov.za namanye amahhovisi kamasipala. Leli fomu liyatholakala nakwiwebhusayithi kamasipala waKwaDukuza ethi: www.kwadukuza.gov.za. Enquires: Mr. Wiseman Cele - 032 437 5170 email: wisemanc@kwadukuza.gov.za

Imibuzo: Mnu Wiseman Cele - 032 437 5170 i-imeyili: wisemanc@kwadukuza.gov.za Vakashela KwaDukuza Youth Centre, 41-42 Hullet Street, Visit the KwaDukuza Youth Centre, 41-42 Hullet Street, KwaDukuza 4450 for more information. KwaDukuza 4450 ukuthola eminye imininingwane.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


JANUWARI 2021

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 5

UMasipala nohlelo lokuthuthukisa intsha MAGAYE CELE

UMEYA woMkhandlu waseMandeni, uKhansela Thabani Mdlalose uMkhandlu wakhe ozibophezele ekutheni ulekelele abafundi baseMandeni abafisa ukuqhuba izifundo zabo ezikhungweni zemfundo ephakeme.

Umkhandlu weTheku nohlelo lokulungisa iziphehli zamanzi MAGAYE CELE SELUQALILE uhlelo lukaMasipala weTheku lokulungisa iziphehli zamanzi ezindaweni eziningi ebezikade zibhekene nengwadla yokuphela kwamanzi kusukela lo nyaka uqalile. Lezi zindaba ziqinisekiswe yiwona qobo lo Mkhandlu kwisitatimende obukade usithumelele abezindaba. Kuzokhumbuleka ukuthi isomiso sike sagadla kwezwakala kulezi zindawo ezilandelayo, yiKlaarwater, Shallcross, yiChartsworth, Welebedatch, Crossmor, Demat, Woodhust, Washington Heights, Haringer, Bitch Road, Risecliff, Stv Windolins kanye naseMarrianridge. Isitatimende salo Mkhandlu sidalule ukuthi amanzi kuzona zonke lezi zindawo abeqedwe ukufa kweziphehli zamanzi ezintathu. Lezi ziphehli yizona kanye okuthiwa beziqinisekisa ukuthi amanzi ayafinyelela ngaphandle kwenkinga ezinqolobaneni zamanzi akuzona zonke izindawo ezibaluliwe ngenhla. Ngokusho kwesitatimende lezi ziphehli bezenza umsebenzi omqoka kakhulu. Loyo okhulumela lo Mkhandlu, uMsawakhe Mayisela ukuqinisekisile ukuthi kuyimanje bamatasa benza konke

okusemandleni abo njengoMkhandlu ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi bonke abantu bakulezi zindawo bayawathola amanzi. Uthembise ukuthi uhlelo lwabo lokulungisa zontathu lezi ziphehli angeke luhambe ngonyawo lonwabu ngenxa yokuthi bayazi ukuthi amanzi ayisidingo esikhulu kubona bonke abantu baseNingizimu Afrika. UMsawakhe ukhuluma kanjena nje kuzokhumbuleka ukuthi uMkhandlu weTheku oholwa nguKhansela Mxolisi Kaunda ukubeka eqhulwini ukubaluleka kokunikezelwa kwezidingo ezimqoka emphakathini. Nayo iMeya uqobo uKhansela Kuanda uhleli elishumyela mihla namalanga ivangeli lokubaluleka kokusatshalaliswa kwezidingo ezimqoka kakhulu kumphakathi ngenhloso yokugwema imibhikisho engenasidingo. Lo Mkhandlu njengoba umatasa ulungisa iziphehli uvele usamatasa nohlelo lwawo olumqoka kakhulu oluqale ngonyaka owedlule lokunikezela ngosizo lwemipheme yokukhosela kubantu abaningi abakhele iTheku. Lolu hlelo selusabalale lwaze lwafinyelela ezindaweni eziningi kakhulu. Nakulo nyaka uKhansela Kuanda uthembise ukuthi luzoqhubeka lubonakale.

UMKHANDLU waseMandeni usuqale uhlelo oluhlabahlosile ohlose ngalo ukulekelela abantu abasha bakule ndawo abanentshisekelo yokuqhuba izifundo zabo emanyuvesi ngemifundaze. Lo Mkhandlu oholwa nguKhansela Thabani Mdlalose uzichaza njengokubeka eqhulwini ukubaluleka kokuhlinzekwa kwabantu abasha ngezidingo ezimqoka zempilo. Ekhasini lalo Mkhandlu likafacebook kunayo yonke imininigwane kulabo bantu abasha abanesifiso esikhulu sokuthola uxhaso lwemifundaze ukuze bakwazi ukuyoqhuba izifundo zabo ezikhungweni zemfundo ephake. Ngokwalesi sitatimende esikuleli khasi lo Mkhandlu ukubeka kucace ukuthi inhloso enkulu yalolu hlelo ukunikezela ngosizo lwemali kubona bonke abantu abasha baseMandeni abafisa ukuqhuba izifundo kodwa abavinjwe yingwadla yokushoda kwemali. Kulesi sitatimende lo Mkhandlu ukuvezile ukuthi bonke abantu abasha abafisa ukuthola lolu sizo kuzomele bafake izicelo zabo kusanesikhathi. Okunye lo Mkhandlu othe uzokuqinisekisa ukuthi ngampela kulekelwa abantu abasha abafanelwe ukuthola usizo. Isizathu salokhu

wukuthi kumele kwenziwe isiqiniseko sokuthi abantu abasha abathola lolu sizo yilabo abavela emindenini eswele. Nazi izinto ezimqoka lo Mkhandlu okuvela ukuthi uyazibheka kuloyo mfundi ozofaka isicelo somfundaze. Yincwadi efakazela ukuthi usamukeliwe kwisikhungo semfundo ephakeme lapho abekade efake khona isicelo, yipay slip yomzali kanye nencwadi ewubufakazi bokuthi loyo mfundi uhlala eMandeni ngampela. Lokhu lo Mkhandlu ukwenza ngoba uhlose ukuqinisekisa ukuthi abantu abasha abathola lolu sizo yilabo abavela khona eMandeni hhayi ezindaweni zangaphandle. Lo mfundaze uvumela bonke abazothola usizo lwabo ukuthi bangahamba bayofundela izifundo zabo kunoma yisiphi isikhungo semfundo ephakeme esikhona eNingizimu Afrika. Mayelana nolwazi olugcwele bangangena ku-www. Mandeni.gov.za. Lo Mkhandlu kuzokhumbuleka ukuthi abantu abasha vele ubabeka eqhulwini zikhathi zonke. Nyakenye lo Mkhandlu ubukade unohlelo olumqoka lokuhlinzeka ngezincwadi zokushayela abantu abasha bakule ndawo.

I-SASSA icela ukubambisana nabahola eyezibonelelo ngokuhlukana kwazo TSEPO MOTLOKOA I-SOUTH African Social Security Agency (Sassa) KwaZulu-Natal icela izaguga ezihola isibonelelo sikadekle ukuba zehlise umoya ngomholo wazo wanyangazonke njengoba le nhlangano ikhiphe uhlu lwezinsuku okuzobe kuholwa ngazo ngenyanga ezoqala uFebruary wonyaka ka-2021. Esitatimendeni esidluliselwe abezindaba nguNks Sandy Godlwana okhulumela iSassa KwaZulu-Natal kuthiwe ukuholelwa kuzoqala ngoLwesithathu mhlaka 3 February njengoba ngalolo suku kuzobe kuholelwa abantu abadala. NgoLwesine mhlaka 4 February kuzobe kuholelwa abathola isibonelelo sabaphila nokukhubazeka. “Lokhu kuhola kubalwa nalabo imiholo yabo ihlanganise nezibonelelo zabantwana. Izibonelelo zabantwana, izintandane kanye nabantwana abaphila nokukhubazeka zizoholelwa mhlaka 5 February,” usho kanje. I-Sassa iphinde yakhipha nohlu lwezinsuku zokuholela ngokwezifunda zaKwaZulu-Natal eziwu-6, eThekwini kuzoholwa mhlaka 8

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

kuya kumhlaka 11February, eLembe kube umhlaka 8 kuya kumhlaka 11, eMgungundlovu umhlaka 8 kuya kumhlaka 15, eMidlands kube umhlaka 8 kuya kumhlaka 16, eMkhanyakude kuholwe mhlaka 8 kuya kumhlaka 17 naseZululand kube umhlaka 8 kuya kumhlaka 17. UNks Godlwana ubuye wanxusa abazali ukuba mababambisane nothishomkhulu bezikole lapho kufunda khona izingane zabo ngohlelo lweSassa lokulekelela izingane ngemifaniswano wesikole. Ukhuthaze abazali ukuba mabangezi emahhovisini akwaSassa ukuzobhalisela lolu hlelo kodwa makuyiwe ezikoleni lapho kufunda khona izingane zabo. “Sisebenzise u-30% we-Social Relief of Distress ukubhekelela izikole ngomfaniswano okuyilezo ezihlonzwe ngomasipala bezifunda okunezikole ezinezingane ezidinga ukulekelelwa nguhulumeni ngomfaniswano. Siyacela abazali bangezi emahhovisini ethu akwaSassa kodwa mabaxhumane nothishomkhulu bezikole njengoba kuyibona esisebenzisana nabo ezikoleni abazengamele,” ubeke kanje.


IKHASI 6

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

JANUWARI 2021

Inkampani kashukela ihlomulise abafundi ngesamba sika-R3, 5 million

SEKUYINTO eyejwayelekile ukuba inkampani kashukela uTongaat Huletts ixhase abafundi ngemali yokufunda. MAGAYE CELE ISIKHONDLAKHONDLA senkampani kashukela, uTongaat Hullets sesibeke eceleni imali eshisiwe eyisamba esifinyelela ku-R3, 5 million wokuhlinzeka ngosizo lemfundo yamahhala kulabo

bantu abasha abanentshisekelo yokungena shi kweZolimo. Lezi zindaba ziqinisekiswe yisiKhulu esiphezulu sale nkampani, uNksz Nkonzo Mhlongo. Ngokusho kwakhe uMhlongo le mali bakubone kumqoka ukuba bayikhiphe ukuze kuzosizakala intsha enentshise-

kelo yokungena kwezoLimo ngenhloso yokuziphilisa ngakho. Uveze ukuthi lolu hlelo luqala kubantu abasha bakhona oTongaat ngaphambi kokuba lukapakele nakwezinye izindawo. Phakathi kwezinye izindawo athe luzofinyelela nakhona yilezi ezilandelayo, yiDanela, Kranskorp kanye nakwaDukuza.Uthe lena yimali ephuma ephaketheni lenkampani. Uthe babone kukuhle futhi kumqoka kakhulu ukuba nabo baphonse itshe esivivaneni ukuze abantu abasha kuzoba khona abakuzuzayo kule nkampani enkulu kangaka nehlonishwayo izwe lonke. Lolu hlelo udalule ukuthi luzoqala kuwona lo nyaka. Uthe kulokoza inhlansi yethemba mayelana nokuthi bonke abafundi abazobe bethole uxhaso lokuyofunda ngeZolimo angeke badlale ngaleli thuba eliyingqayizivele kangaka. “Sifisa ukubona abantu abasha esizobaxhasa nabo besebenza ngokuzikhandla futhi benza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi bayaphumelela ezikhungweni abazobe becijwa kuzona mayelana nezolimo.“Uma bephasile

angingabazi ukuthi lokho kuyoba yisiqalo sezinto ezinhle futhi ezinkulu kubona bonke abantu abasha abazobe bebandakanyeka kulolu hlelo olumqoka kangaka,” usho kanje. Udalule ukuthi bonke abazothola ithuba lokuxhaswa ngale mali izifundo zabo zezoLimo bazobe beziqhuba kwisikhungo sokucijwa kwamakhono sezoLimo,abazobe benesivumelwano naso. Uveze ukuthi ukufunda kulolu hlelo kuhlukaninswe ngokwezigaba ezimbili. Kwesokuqala isigaba seJunoir Certificate in Agriculture kuzobe kuxhaswe labo bafundi abafunda bagcina nganeno kukaGrade 09 esikoleni. “Lapha sikhuluma ngabafundi abangafundile ngokungako futhi abangazange baphumelele kumatikuletsheni kodwa abanothondo olukhulu lwezoLimo,” usho kanje. Isigaba sesibili yisona esimqoka kakhulu seSinior Certificate in Agriculture. Kulesi sigaba ke uthe kudingeka abafundi abafunde bagogoda emaNyuvesi kwezoLimo ngoba kulesi sigaba kuzobe kuqhutshekezwa lokho ababekufundile enyuvesi.

Isikhungo situsa iqhaza labelaphi bendabuko ekuthuthukiseni abantu

TSEPO MOTLOKOA

INYANGA ehlonishwayo iqhaqhazeliswe yisikhundla esimqoka sobukhadinali egidlabezwe ngaso yisikole sezenkolo ngenhloso yokuvala igebe eliphakathi kwabelaphi bendabuko nabezenkolo okuthiwa ligcina libenza imihlathi eyalanayo. UDkt Mzekwa Simon Mkhize waseClermont eThekwini owaziwa ngoNyongoyephela uthi namanje kusenzima ukukholwa ukuthi usenguKhadinali waseNew Hope School of

Theology eMgungundlovu emuva kokuba lesi sikole simqokele kulesi sikhundla. Abanye abelaphi bendabuko abahlonishwe ngeziqu zobudokotela yilesikole nguDkt Bhongolethu ‘Khehlelezi’ Mzozo obizwa ngeNyanga Yodumo neNkosi Mfanufikile Mabuya yaseNondweni eNquthu nayo engumelaphi wendabuko. UDkt Mkhize uthe abezenkolo kumele bazi ukuthi likhulu iqhaza elibanjwe ngabelaphi bendabuko ekulapheni abantu bakaNkulunkulu. Uthe la makhambi asentshonalanga asetshenziswa ngodokotela ekulapheni abantu athathwa enhlabathini leyo nabo imithi yabo embiwa khona, umehluko ngukuthi bona kabayi e-laboratory ukuyowacwaninga ngoba basuke bembulelwe ngawo. “Kuyasithokozisa thina belabaphi bendabuko ukubona isikole sezenkolo esilihloniphayo iqhaza lethu. Ngikholwa ukuthi sonke lapha emhlabeni siyadingana akekho obaluleke ukudlula omunye umuntu.

USOLWAZI Constance Ngubane waseNew Hope enabelaphi bendabuko uDkt Bhongolethu ‘Khehlelezi’ Mzozo, Inkosi Mfanufikile Mabuya, uGogo Balekile Ndlovu noDkt Mzekwa ‘Nyongoyephela’ Mkhize. Ngibonga uMvelinqangi neThongo lakithi ngokunginikeza lo msebenzi wokwelapha njengoba namhlanje sengihlonishwa ngezikhundla ezinkulu ebengizibukela kude nami,” usho kanje. UDkt Khehlelezi onguMbhishobhi weSithelo samaKristu Zion Church uzicelele kubazalwane bamabandla abasindisiwe ukwamukela abelaphi bendabuko abaphinde bahole amabandla ethi mabazi ukuthi nabo babizwe nguNkulunkulu ukuzolapha abantu bakhe emhlabeni ngakho mabangakhishwa inyumbazane. Uthe kuyamthobisa ukubona abantu behlabeka umxhwele ngeqhaza alibambile ekulapheni abantu. USol Constance Ngubane ongumsunguli weNew Hope School of Theology

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

uthe beyisikole banqume ukuthi uma behlonipha abantu abenza kahle mabangabheki umunxa owodwa kumbe ethile kodwa kumele babheke bonke abantu ngeqhaza abalibambile emphakathini. “Kakujwayelekile ukuthi izikole zezenkolo zihloniphe abantu abangabelaphi bendabuko njengoba senzile. Lapha esikoleni sethu sinabazalwane abasindisiwe abangakholelwa ezintweni zabelaphi bendabuko kodwa abangalibukeli phansi iqhaza abalibambile emiphakathini abaphila kuyona. Siyazi ukuthi kukhona abalekelela izingane ezisemayunivesithi ngakho kumele kubongwe lokho okuhle abakwenzayo,” ubeke kanje.


JANUWARI 2021

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Sibusisiwe isandla esiphayo kunesamukelayo

UNDUMISO Phungula ocela ukunikelelwa nge-wheelchair yohlobo lwesimanje. TSEPO MOTLOKOA OWESILISA waseMsinga owalimala esingezansi ngoba ethanda ibhola wagcina ehamba ngesihlalo esinamasondo uthi namanje usanyakaza kusona isihlalo akhahlele ngenhliziyo uma ebona abafana abasebancane benza kahle enkundleni njengoba naye wayefisa ukuhlonishwa umhlaba wonke kwezikanobhutshuzwayo. uNdumiso Phungula ozalwa kwesikaMabaso ucela uMsamariya olungileyo ukuba ambheke ngesihlalo esinamasondo sohlobo lwesimanje esihamba nge-battery ngoba

uthando lwebhola alukapheli kuyena futhi ukholwa ngukuthi kuningi asengakwenza ekubumbeni abafana ukuze babe ngabadlali bakusasa abahlonishwayo. Ekhuluma neSivubela Intuthuko uNdumiso uthi amaphupho akhe ashabalala ngo-2005 ayehlelwa yisehlo ayengazi ukuthi sesizomshiya eyinkubela impilo yakhe yonke. Eyilanda indaba yakhe uthe babedlala ibhola enkundleni yangakubo mhla naye ethi ushaya isitayela esasithandwa kakhulu i-bicycle kick wawa washayeka kabuhlungu emgogodleni waphuthunyiswa esibhedlela lapho ahlala khona iminyaka emithathu kuza-

nywa ukuba alulame. “Odokotela bagcina bengitshele ukuthi ngeke ngiphinde ngikwazi ukuzihambela ngezinyawo zami sengizophila ngesihlalo esinamasondo impilo yami yonke. Ngizwa lokho ngabona umhlaba uvaleka ashabalala wonke amaphupho enganginawo ayezojabulisa nomndeni wami. Ngoba uSimakade esimukhonzayo akehlulwa yilutho, wathi akukapheli ngami njengoba anginikeza elinye ithuba lokuqeqesha abafana naphezu kokuba ngisebenzisa isihlalo esinamasondo. Ngabe sengisungula iThulisa FC yasendaweni ngokulekelelwa ngabaqeqeshi asebephambili kunami ababengicathulisa ngolwazi lokuqeqesha. Noma ngiyihamba le ndlela kodwa kayikho lula njengoba ngingazihambeli ngezinawo zami ngisebenzisa isihlalo esinamasondo. Lesi hlalo engisiebenzisayo ngesigwedlwayo senza kube nzima ukushesha kimina ikakhulukazi uma ngenza umsebenzi wokuqeqesha,” usho kanje. Eqhuba uNdumiso uthi useye wazama ukuzifunela yena lesi hlalo esisha wathola ukuthi iphakethe lakhe kalilingani naso yingakho ecela nanoma ngubani amlekelele ukuze isifiso sakhe sokuqeqesha siphumelele. Abanesifiso sokwelula isandla bangathinta umhleli weSivubela Intuthuko uMakhosi Mngoma kwethi: 067 9208446 noma umbhali wombiko uTsepo Motlokoa kwethi: 083 766 7745.

“Kuyicala ukuphazamisa izisebenzi zikahulumeni zisebenza” kusho umnyango

BASALE benkemile abantu Amadelangokubona evala amahhovi omnyango eMpendle. TSEPO MOTLOKOA UMNYANGO wokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal ophathiswe uNkk Nonhlanhla Khoza njengongqongqoshe wawo uphakamisa ukuthi abantu mabasondelane namahhovisi alo mnyango ezifundeni uma kukhona abafisa ukulekelela ngakho ngentuthuko bayeke ukugijimela emahhovisini bayophazamisa izisebenzi. Emasontweni adlule iqulu labaMadelangokubona ligasele emahhovisini alo mnyango eMpendle lafike laphazamisa izisebenzi lifuna ukuhlomula ngo-30% ohlelweni lama-voucher okudla okubiza uR1350. Kuthiwa la Madelangokubona abekhala ngokushiywa ngaphandle kosomabhizini-

si bendawo uma abahlomulile sebeyolanda ukudla ezitolo njengoba bekuthatha ezitolo zabomdabu waseNdiya ezikule ndawo. UMnu Mhlaba Memela okhulumela uMnyango wokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal ucele abantu ukulandela imigudu efanele uma bengagculisekile ngokusebenza komnyango. Uthe kuyicala elibomvu ukuphazamisa izisebenzi zikahulumeni uma zihambisa intuthuko yomphakathi. “Akekho umuntu oshiywe ngaphandle ngumnyango wethu ezinhlelweni zentuthuko yomphakathi. Sicela abantu bahloniphe umthetho bangenzi izinto eziphazamisa izinhlelo zikahulumeni zokuhambisa intuthuko yomphakathi.

Lokhu okwenzeke eMpendle kokuphazanyiswa kwezisebenzi zomnyango wethu kasihambisani nakho. Abantu mabafunde ukulandela izinhlaka ezifanele uma befuna ukuzwakalisa ilaka labo kumbe befuna ukuphonsa itshe esivivaneni ngezinhlelo yentuthuko yomphakathi. Kuyicala ukuphazamisa izisebenzi zikahulumeni zisebenza. Owenza lokho ufanelwe ukubhekana nengalo yomthetho ukuze agcinwe endaweni lapho kuzohlonyuleliswa isimilo sakhe,” usho kanje. Umkhulumeli waMadelangokubona esifundeni saseMngeni uMnu Lindani Myeni ukuchithile ukugasela kwabo emahhovisini omnyango wokuThuthukiswa koMphakathi eMpendle njengokuphazamisa izinhlelo zentuthuko yomphakathi ezihlinzekwa nguhulumeni kwabadla imbuya ngothi. “Thina silwela osomabhizinisi bendawo ukuthi nabo mabahlomule uma kukhonai ntuthuko elethwayo endaweni. Okwethu ebesikuphakamisa ngukuthi uhulumeni makasinikeze ama-ward committee sisebenzisane nawo ngokuthi asinikeze uhlu lwamagama abantu abazohlomula ngokudla bese thina sibahambisela ukudla emakhaya umnyango usikhokhele ngokwenza lowo msebenzi. Okunye ukudla kungathathwa ezitolo zethu kunokuthi kulandwe ezitolo ezizodwa,” ubeke kanje.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 7

SIVUBELA Intuthuko ITHIMBA LEPHEPHA >> UMHLELI MAKHOSI MNGOMA makhosi@sivubelaintuthuko.co.za 083 618 4252

NOKULUNGA MAJOLA Info@sivubelaintuthuko.co.za 072 1792 255

>> INTATHELI YEZEMIDLALO THABANI MAPHUMULO trmaphumulo@gmail.com 063 278 3658

>> GRAPHIC DESIGNER AND LAYOUT LINDA MAZIBUKO trusouth1@gmail.com 076 4847 269

SANELISIWE NGEMA Info@sivubelaintuthuko.co.za 067 920 8446 MAGAYE CELE info@sivubelaintuthuko.co.za 067 920 8446 TSEPO MOTLOKOA info@sivubelaintuthuko.co.za 067 920 8446 IWEBSITE YETHU www.sivubelaintuthuko.co.za sivubela intuthuko @sivubela intuthuko sivubelaintuthuko B 33 Ten Acre Thembeni Groutville, P.O Box 4473, Stanger 4450, 270 Stamford Hill Road Unit 1 Morningside, Durban, 4000 UMA UFUNA UKUKHANGISA KULELIPHEPHANDABA , SHAYELA 067 920 8446 / 083 618 4252


IKHASI 8

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

JANUWARI 2021

Sivubela Intuthuko

EZEMIDLALO

Owe-Bucs uthi uzolwela ijezi THABANI MAPHUMULO

Umdlali osemncane weBucs osanda kukhushulelwa eqenjini elikhulu u-Azola Tshobeni

UMDLALI we-Orlando Pirates osamncane u-Azola Tshobeni obegijima eqenjini leDstv Diski Challenge uthembisa lukhulu njengoba ekhushulelwe eqenjini elikhulu leBucs. Lo mdlali oneminyaka eyi-18 ubudala udlale umdlalo wakhe wokuqala iBucs ihlula iMaritzburg United ngegoli elilodwa eqandeni. “Ngijabule kakhulu ukuba inxenye yeqembu eliqoqe amaphuzu amathathu emdlalweni wami wokuqala. Kuyinjabulo enkulu kumina nomndeni wami. Baningi abebelindele ukungibona ngidlala kusukela ngakhushulelwa eqenjini elikhulu, bengalindele ukuthi umdlalo wami wokuqala ngizowuqala,” kusho Tshobeni. Lo mdlali oshaye into ecokeme nakuba ebebonakala okokuqala edlubhe eziMnyama uveze ukuthi ubenalo uvalo ngaphambi kokuba kuqale umdlalo. “Ngesikhathi kukhala indweba yokuqala komdlalo benginovalo, yize inkundla ibingenabo abalandeli bengazi ukuthi abantu bayabukela emakhaya. Ngithanda ukubonga ozakwethu ngokungisiza ngijwayele namazwi abo agqugquzelayo

angisizile ngikwazi ukudlala,” UTshobeni ungumdlali wesithathu omncane ukukhushulelwa esigabeni esiphezulu. Lo mdlali oqale enkulisa ethuthukisa ibhola uke wagijima kuHappy Boys, wabuye wazoba ukaputeni weqembu lePirates labaneminyaka engaphansi kwe-U/17 nelanqoba i-2019 Future Championship. Uphinde waqokwa eqenjini leProject X elihambele eNgilandi nalapho bedlale namaqembu afana neManchester United, Fulham kanye neWest Ham ,emva kwaloluhambo ube esenyuselwa eqenjini elikhulu. “Ngicabanga ukuthi ukudlala namaqembu aphesheya kungisize kakhulu. Ngiyathemba ukuthi ngizoqhubeka nokusebenza kanzima ukuzibekisela indawo esikimini.”kuphetha Tshobeni. Lo mdlali uphinde waqala Umdlalo ngenkathi ezakhe zibhekene neTS Galaxy.Phakathi kwabadlali leliqemb elisanda kubasayinisa singabala oLuvuyo Memela, Augustine Mulenga, Xola Mlambo, Siphiwe Tshabalala, Sphelele Mthembu, Makhehleni Makhaula, Velile Mothwa, Limbikani Mzava kanye nabanye abaningi.

Owake wagijima oSuthwini ufuna ukuqopha umlando

THABANI MAPHUMULO

UNOZINTI waseZimbabwe oseneminyaka egijima ebholeni lakuleli uTapuwa Kapini (36) uthi ufuna ukuqopha umlando ngokuthi aphinde abe yinxenye yabadlali abakhushulelwa esigabeni DStv Premiership neqembu elisuka kuGladAfrica Championship iSekhukhune United yaseLimpopo. Lo nozinti kuzokhumbuleka ukuthi ubeyinxenye yeqembu leHighlands Park ngesizini ka2015/2016 ,ngenkathi likhushulelwa esigabeni esiphezulu, kanti uphinde wakwazi ukulisiza labuye esigabeni esiphezulu ngesizini ka-.2017/2018 emva kokugawulwa yizembe. Leli qembu libe selidayiswa lithengwa yiTS Galaxy

abanye abadlali baphelelwa yitoho, okuhlanganisa naye uKapini,noMusa Nyatama ogcine esevumbuka kuSwallows Fc.“Ngiyafisa ukuthi ngibe inxenye yomlando ebholeni ngikwazi ukunyuka neqembu iSekhukhune United singene esigabeni seDStv Premiership. Kumina kusho lokhulu ukuthola ithuba elifana naleli lokuthi ngibe yinxenye yeqembu elizimisele ngaloluhlobo,” kusho Kapini.Leli qembu lithenge igunya leTTM yona ethenge iqembu iBidvest Wits egijima esigabeni seDStv Premiership. iSekhukhune isayinise abadlali abanohlonze Kanti kuze kube yimanje isazihola phambili kwiGladAfrica Championship ngamaphuzu ayishumi nesishiyagalolunye

emva kwemidlalo eyishumi nanye Kanti lilingana neJomo Cosmos ngamaphuzu.“Ngikholwa ukuthi abadlali esinabo abanesipiliyoni nabasebancane basebenza ngokuzikhandla. Kanjalo nethimba labaqeqeshi nezikhulu ziyakhombisa ukuthi zizimisele ngokunyukela phezulu.” kuphetha Kapini. Lo nozinti useke wagijima kumaqembu amaningi okuhlanganisa iPlatinum Stars, AmaZulu Fc, Highlands Park njengoba eseyibambe kuSekhukhune United. Phakathi kwabadlali abagijima kuleli qembu singabala Morgan Gould, Walter Musona, Jabulani Maluleke, Prince Nxumalo, Siyabulela Shai kanye nabanye.

Unozinti weSekhukhune United uTapuwa Kapini ofuna ukuqopha umlando ngokunyusa leli qembu kuDStv Premiership

031 828 0433 / 082 597 6669

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.