Sivubela Intuthuko Newspaper

Page 1

SIVUBELA Intuthuko

ADVERTISING: 067 920 8446 DESEMBA 2020

UNdunankulu uthembisa umphakathi ngamanzi

iKhasi 2

FACEBOOK: SIVUBELA INTUTHUKO

SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

I -Coastal College yenzela izaguga uKhisimuzi

iKhasi 6

LIMAHHALA USHICILELO 56

UNgqongqoshe uhlabeke umxhwele ngezinhlelo zeLoskop Water Treatment

iKhasi 4

UBenni uthembisa injabulo oSuthwini

UMasipala nohlelo lokulekelela oSomabhizinisi udaba ekhasini 3.

UKHANSELA Mxolisi Kaunda iMeya yeTheku okuqinisekisile ukuthi banezinhlelo zokusimamisa amabhizinisi amancane.

Ichonywe uphaphe lwegwalagwala iDurban ICC: udaba ekhasini 4.

IR350.00 E KHETHEKILE YO SIZO KU COVID 19 I ZA KU QUBEKA U KU BATALWA INYANGA E ZI NTATHU ULWEZI 2020 KU ZE KU BE U UMASINGANA 2021.  iR350.00 e khethekile yo sizo ku sikhathe se Covid 19 izo ku qubeka u ku batalwa isikhathi e singa h ZϯϱϬ ŽŬŚĞƚŚĞŬŝůĞ ǁŽƐŝnjŽ ůǁĞ ŽǀŝĚ ϭϵ ŝnjŽƋŚƵďĞŬĂ ƵŬƵŬŚŽŬŚǁĂ ŝnjŝŶLJĂŶŐĂ ĞnjŝŶƚĂƚŚƵ ŬƵƐƵŬĞůĂ ŬƵ >ǁĞnjŝ ϮϬϮϬ ŬƵnjĞ ŬƵďĞ nge nyanga e zi ntatho uLwezi 2020 ku ze kube uMasingana 2021.Maku zoba no zo kwalelwa noma ƵDĂƐŝŶŐĂŶĂ ϮϬϮϭ nga ziphi isizathu ku fanele a enze isicelo so ku buyekeza ku covd19srdappeals@sassa.gov.za  Noma ngubani ongafaki isikhalazo ngeke abhekwe kabusha njengoba singenayo imali yokubheka kabusha zonke izicelo ezaphikiswa.

Sassa: A leader in the delivery of social security services

iKhasi 8


IKHASI 2

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

DISEMBA 2020

UNdunankulu uthembisa umphakathi ngamanzi MAGAYE CELE

UNDUNANKULU waKwaZulU Natal, uMnu Sihle Zikalala oqinisekisa uhlelo lwamanzi oluzosabalala iKwaZulu Natal yonke luze lufinyelele nakwisiFunda, iLembe.

LUZOGCINA lukapakele nakwisiFunda, ILembe kanjalo naseNdwedwe uhlelo olumqoka kakhulu lokuhlinzeka ngamanzi kubantu, oluholwa nguNdunankulu wesiFundazwa saKwaZulu Natal, uMnu Sihle Zikalala. Lezi zindaba zokufinyelela kwalolu hlelo kwiLembe kanye naseNdwedwe zidalulwe nguyena qobo uMnu Zikalala. Uthe lolu hlelo luzokapakela kwiLembe naseNdwedwe maphakathi nonyaka ozayo, u-2021. Luzokapakela uma selufinyelele kuPhase 4. Uveze ukuthi njengamanje basamatasa noPhase 1, 2, 3. “Njengamanje sikuPhase, 1, 2, no -3. Kulawa maPhase esikuwona njengamanje simatasa kakhulu nezindawo zaseMshwathi. Ziningi kakhulu izindawo zaseMshwathi esithole ukuthi zintula amanzi,” usho kanje uNdunankulu

echaza. Ngokusho kwakhe uNdunankulu uZikalala bazokwenza isiqiniseko sokuthi amanzi ayafinyelela kubona bonke abantu ababhekene nengwadla yokushoda kwawo. Eqhuba uMhlonishwa uZikalala uthe nakanjani ngoJune wangonyaka ozayo lolu hlelo luzobe selukaPhase 4. Lokho ke uthe kuzobe sekusho khona ke ukuhlomula kwabantu beLembe nabaseNdwedwe ngamanzi. Ugcizelele ukuthi amanzi ayisidingongqangi esimqoka kakhulu kubona bonke abantu. Wathi ngaleyo ndlela kuyijoka labo njengohulmeni waKwaZulu Natal ukuqinisekisa ukuthi abantu bakulesi siFundazwe ababhekani nengwadla yokushoda ngamanzi. Echaza uthe: “Njengamanje simatasa eMshwathi. Sifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi sishiya abantu bakule ndawo begculisekile. Ayikho into emqoka ngaphe-

zulu kokuba abantu bawathole amanzi. Njengohumeni waKwaZulu Natal sikholwa ukuthi amanzi ayisidingo esimqoka kakhulu okumele sibonakale sifinyelela kubona bonke abantu kungakhathaleki ukuthi bakuphi nendawo.” Ukhulume nangokubaluleka kokuba abantu kwenziwe isiqiniseko sokuba bahlinzekwa ngamanzi ahlanzekile ngaso sonke isikhathi. “Kumqoka ukuthi siqinisekise ukuthi abantu sibanikeza amanzi ahlanzekile. Phela amanzi ayikho konke kumuntu ophilayo. Ngakho ke angeke kusisize ukuthi sithi sihlinzeka abantu ngamanzi, kanti sikhuluma ngamanzi angekho neze esimweni,” usho kanje. Uthembise ukuthi unyaka ozayo uyosongwa sebeguduze iKwaZulu Natal yonke befinyelelisa lolu hlelo, aluchaze njengolumqoka kakhulu.

UMasipala nohlelo lokulungiswa kwemigwaqo engekho esimweni

IMEYA yoMkhandlu weTheku uKhansela Mxolisi Kaunda onohlelo lokulungisa imigwaqo ewubhuqu emakhaya. MAGAYE CELE UMKHANDLU weTheku usubeke eceleni imali engu-R4 million okuhloswe ngayo ukuba kulungiswe imigwaqo ewubhuqu. Imigwaqo ezolungiswa ngeyaseNgonyameni, eMlaza eningizimu yeTheku. Lezi zindaba ziqinisekiswe yiyona qobo iMeya yoMkhandlu weTheku, uKhansela Mxolisi Kaunda. Ngokusho kwayo iMeya yeTheku ayikho into emqoka ngaphezulu kokuba kulungise imigwaqo kuqinisekiswe ukuthi isesimweni esihle ngaso sonke isikhathi. Uthe kungumsebenzi wabo njengoMkhandlu weTheku

ukuqinisekisa ukuthi imigwaqo engaphansi koMkhandlu weTheku iba ngengcono kakhulu. Lolu hlelo uthe kulokoza inhlansi yethemba ngokuphothulwa kwalo ngokukhulu ukushesha lokhu. Lo msebenzi wokulungiswa kwemigwaqo ewubhuqu uKhansela uKaunda uveze ukuthi bawuqhuba ngaphansi kohlelo lwawo uMkhandlu abalubiza ngokuthi iMasakhane Public Participation. Le projecthi kuthiwa igxile kakhulu ekuphuculeni imigwaqo ewubhuqu. Phakathi kweminye yemigwaqo yaseNgonyameni ezolungiswa kubalwa uTRK 84913, uTRK 84914 kanye nomgwaqo uTRK 121998.

Yonke le migwaqo ingamaKhilomitha angu-3, 6 ngokusho kwakhe uKhansela uKaunda. Ngokusho kukaMeya uKaunda uthe okudale ukuthi baqale lolu hlelo baluyise eNgonyameni, uthe ukuthi bayakuqonda ukuthi kwesinye isikhathi izindazwo ezisemakhaya zivamise ukisilela ngemuva ikakhulukazi uma kukhulunywa ngezihlelo zokuthuthukiswa komphakathi okanye ingqalasizinda. Kodwa uthe likhulu ithemba njengoba sekwethulwe nanoHlelo, iDirstrict Development Model (DDM) okuhloswe ngalo ukuthuthukiswa kweziFunda ezahlukene ezikhona KwaZulu Natal. Uthe akangabazi ukuthi lolu hlelo lu-

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

zoletha uguquko, luphinde luqinisekise ukuthi zonke izinjongo ezimayelana nokuthithukiswa komphakathi ziyafezwa ngaphandle kwezinselelo. Mayelana neprojecthi yaseNgonyameni uthe bafuna ukuqinisekisa ukuthi le ndawo iba nemigwaqo eseqophelweni eliphezulu. Kuphinde kugwemeke nezingozi zomgwaqo ezingenasidingo. Ukugcizelelile ukuthi inhloso ukuthuthukiswa kwendawo yaseNgonyameni. “Lolu hlelo sihlose ngalo ukuletha intuthuko lapha eNgonyameni. Siyethemba ukuthi nabahlali balapha bazolujabulela kakhulu,” isho kanje iMeya uKaunda.


DISEMBA 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 3

UMasipala nohlelo lokulekelela oSomabhizinisi MAGAYE CELE IDOLOBHA, iTheku lisezinhlelweni zokuqinisekisa ukwesekwa kwamabhizinisi amancane. Kuzokhumbuleka ukuthi iMeya yeTheku uKhansela Mxolisi Kaunda ngaphambilini wakuchaza njengento emqoka kakhulu ukubaluleka kokuba kwesekwe amabhizinisi amancane asafufusa. Amabhizinisi amancane wawachaza njengamqoka ekufukulweni komnotho weDolobha. Yingakho ke uPhiko OlweSeka amabhizinisi lisezinhlelweni zokufukula amabhizinisi amancane aseThekwini namaphethelo. Inhloso enkulu yalolu Phiko ukuqinisekisa ukuthi aba sesimweni esihle nesamukelekile amabhizinisi amancane aseThekwini. Kuzokuba khona ukubambisana phakathi kwalolu Phiko kanye nezinhlangano ezahlukene zasemphakathini ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi luyaphumelela uhlelo lokwesekwa kwamabhizinisi amancane. Lolu hlelo luzobandakanya i-EThekwini Business Unit, uMnyango wezokuThuthukiswa kwezamaBhizinisi amancane, yiJobs Fund of South Africa, yi-Informal Economy Support Programme (IESP) kanye neProjects

Preparation Trust. Zonke lezi zinhlaka zisebenza ngokukhulu ukuzikhandla nangokubambisana ngenhloso yokufukula amabhizinisi amancane akwiDolobha, iTheku. Loyo oyisiKhulu esiphezulu sakwa-Informal Economy and Reatail Markets, uNomonde Mlolongo uveze ukuthi bamatasa benza konke okusemandleni abo ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi asebenza kangcono amabhizinisi amancane aseThekwini. Uthe inhloso enkulu ukuthuthukisa amabhizinisi amancane kanye nokuqinisekisa ukuthi ahlinzekwa ngezidingo okanye izinsiza eziwumgogogodla wokusebenza kwawo. Ukhulume nangohlelo olumqoka i-IESP, wathi liyisu elihlelwe kahle lokufukula amabhizinsi amancane ngenhloso yokufukula aumnotho weDolobha. Echaza uthe: “Kuningi kakhulu esesikubonile esekwenziwe yi-IESP. Phakathi kwakho kubalwa ukwakhiwa kwendathane yamathuba omsebenzi amasha abalelwa ku-316. Kuphinde kwaqeqeshwa nosomabhizinisi abancane abangu-110. Kwasekwa namabhizisi amancane angu92. Lokhu sikubona kuyinto emqoka kakhulu.” Ubalule nokuthi kunemali eyisigidi samarandi ewuxhaso esatshalal-

UKHANSELA Mxolisi Kaunda iMeya yeTheku okuqinisekisile ukuthi banezinhlelo zokusimamisa amabhizinisi amancane. iswe kumabhizinisi ehlukene amancane aseThekwini. Phakathi kwezinye zezinsiza amabhizinsi amancane asesekwe ngazo ubale izisinza zokukhangisa kalula kanye nokucijwa kwamakhono osomabhizinisi

abancane. Konke lokhu uthe kuyimizamo emqoka yokuqinisekisa ukwesekwa ngokugcwele kwabamabhizinisi amancane akhona eThekwini namaphethelo

UMasipala wesifunda saseMgungundlovu uqinisekisa intuthuko kubantu besifunda TSEPO MOTLOKOA LAMUKELWE ngezandla ezimhlophe eMgungundlovu iPhini likaNgqongqoshe Wezezisebzni nezokuPhathwa uNkk Sindisiwe Chikunga obehambele lesi sifunda ukuzobheka inqubekela phambili ekuhanjisweni kwethuthuko komasipala abangy-7 abakhele uMkhandlu waseMgungundlovu. Labo masipala abangaphansi kowesifunda saseMgungundlovu ngowaseRichmond, ngowaseMkhambathini, ngoweseMshwathi, ngowaseMsunduzi, ngoweseMngeni, ngoweseMooi-Mpofana nowaseMpendle. Iningi labo lakhele izindawo zasemakhaya okusemqoka ukuthi uhulumeni ahlale ewavulile amehlo abheke ukuthi nabo kabasali ngaphandle ezinhlelweni zethuthuko njengabahlali baseNingizimu Afrika. Lolu hambo lukangqongqoshe uNkk Cjikunga lulandela isivumelwano sokusebenzisana esicikicwe ezinyangeni ezidlulile sokuqinisekisa ukuhanjiswa kwentuthuko yabantu abakhele lo mkhandlu oholwa yiMeya uNdlunkulu Thobekile Maphumulo. Lapha uNkk Chikunga obephelezelwa nguNgqongqoshe woMnyango wokuThuthukiswa koMnothho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natal uMnu Ravi Pillay wamuekele uhlu lwezingqinamba uMkhandlu waseMgungundlovu ohlangabezana nazo ekuhambiseni ngokushesha intuthuko kubantu kanjalo nosomqulu ovela embikweni kamcwaningi mabhuku jikelele eNingizimu Afrika. Phakathi kokunye okutholwe yileli phephandaba obekuzobhekwa nguNkk Chikunga ngukuqinisekisa ukuthi ngabe izinhlelo zokukhuphula umnotho wabantu kulesi sifunda zihamba kanjani. Kwabuye kwabhekwa nokuthi ngabe abantu abaqokelwe ekubhekeleleni imisebenzi banawo yini amakhono azokwenza ukuthi ezokuvakasha zisimame ngokushesha. Ezinsukwini ezimbili azihlale eMgungundlovu uNkk Chikunga uhambele uMasipala waseMsunduzi noMasipala waseRichmond bobabili abangaphansi komlawuli eyobheka ukuthi ngabe izinhlelo zabo labo masipala ekukhuphuleni umnotho zihamba kanjani. UNkk Chikunga uhlabeke umxhwele ngohlelo lweDistrict Development Model (DDM) lwesifundazwe iKwaZulu-Natal lwangoSeptember nonyaka okuhloswe ngalo ukuba yisiqalo sezinhlelo zokubheka ukuthi labo basipala waseMsunduzi nowaseRichmond kabahlehleli emuva kodwa baba nenqubekela phambili ekuhambiseni intuthuko kubantu belandela imigomo yokusebenza komasipala banseNingizimu Afrika. Kuzokhumbukela ukuthi ngo-2019 uMengameli waseNingizimu Afrika uMnu Cyril Ramaphosa wethula uhlelo lwe-DDM okuhloswe ngalo ekufukuleni umnotho komasipala nakuma-metro. I-DDM iwuhlelo lapho uhulumeni ezibuka khona ngomsebenzi awenzayo ngokuhambisa intuthuko nokuthuthukiswa kwezwe.

HLALA UYIQAPHILE ICOVID. HLALA UPHEPHILE KWICOVID

HLALA UPHEPHILE KWI

Sonke sinesibopho sokwenza izinto ngendlela eyephusile. Yiba yinxusa le-COVID ukuze ugcine umndeni wakho nomphakathi uphephile. Bakhumbuze ukuthi beqhubeke nokwenza lokhu: •

Ukugeza izandla zabo ngesibulalimagciwane noma ngamanzi nensipho zikhathi zonke

Ukuba baqhelelane nabanye abantu

Bagqoke isifonyo.

Sikulento sonke.

1.5 metre

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

/eThekwiniM

@ethekwinim

/eThekwiniM


IKHASI 4

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

DISEMBA 2020

UNgqongqoshe uhlabeke umxhwele ngezinhlelo zeLoskop Water Treatment Plant eMtshezi

UNGQONGQOSHE woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNDaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMnu Sipho Hlomuka ngesikhathi ehambele iLoskop Water Treatment Plant nobuholi baseNkosi Langalibalele Municipality. TSEPO MOTLOKOA UNGQONGQOSHE woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNd-

aba zoMdabu KwaZulu-Natala uMnu Sipho Hlomuka ukhuthaza abantu ngokunakekela amanzi ebakhuza ngokucekela amapayipi ngoba amanzi

Ichonywe uphaphe lwegwalagwala iDurban ICC

ULINDIWE Rakharebe okunguyena isiKhulu esiphezulu seDurban ICC echonywe uphaphe lwegwalagwala. MAGAYE CELE SICHONYWE uphaphe lwegwalagwa isikhungo seqophelo eliphezulu saseThekwini sokubanjwa kwemihlangano yezinga eliphezulu yamazwe ohlaba, iNkosi Albert Luthuli Convention Centre (Durban ICC). Lesi sikhungo sikhale semuka nezindondo ezimbili ezimqoka kwimiklomelo, iWorld Meetings Incentive, Conference and Exhibition (MICE). Kujabulise abahlali abaningi baseThekwini ukunqoba kwale sisikhungo. Phakathi kwezindondo esikhale semuka nazo kubalwa ese-Africa’s Best Convention 2020 kanye neseSouth Africa’s Best Convention Centre 2020. Inhloso yale miklomelo eba khona minyaka yonke kusuke kungukuhlonipha izikhungo zemihlangano ezibonakala

zisebenza kahle kakhulu ekusingathweni ngempumelelo imihlangano emikhulu futhi ehlanganisa amazwe ehlukene. ISiKhulu esiphezulu esengamele ukusebenza kweDurban ICC, uNkk Lindiwe Rakharebe uzwakalise okukhulu ukujabula ngokuhlonishwa kwabo. Uthe lezi zindondo zizoletha ukukhuthala okukhulu kubona bonke abasebenzi base-ICC. Uthe njalo bayaqinisekisa ukuthi lesi sikhungo sibalwa nezinye sezihamba phambili ngokuthi imicimbi abayisingathayo bayihlele ngokweqophelo eliphezulu. Uthe : “Sijabule kakhulu ngalezi zindondo ezimbili. Sisebenza kanzima ngaso sonke isikhathi. Lokhu ngikholwa ukuthi yikhona manje okuthela izithelo. Ngiyajabula kakhulu ngoba le miklomelo iqinisekisile ukuthi impela siyisikhungo seqophelo eliphezulu eNingizimu Afrika kanye nasezwenikazi i-Afrika. Impela lezi zindaba zisijabulisile kakhulu.” Uthembise ukuthi basazoqhubeka nokuqinisekisa ukuthi basebenza ngokuzikhandla minyaka yonke. Uthe minyaka yonke basuke behlose ukusingatha imicimbi yeqophelo eliphezulu ngegiya eliphezulu. Uthe okwabo ukuqinisekisa ukuthi lesi sikhungo siba ngesivelele emhlabeni nje jikelele. Le miklomelo yokuhlonishwa kwezikhungo ezisingatha imihlangano kuthiwa yasungulwa ngoba kwakubonakala sisikhulu kakhulu isidingo sokuba zishayelwe ihlombe lezo zikhungo ezibonakala zenza kahle kakhulu minyaka yonke. Le miklomelo isibenza ngokuvota. Abaholi bamazwe omhlaba yibona abavotayo. Abaholi abavotayo ngabavela emazweni asemhlabeni abangaphezulu kwangu -100.

angumgogodla wempilo. UMnu Hlomuka ubekhuluma emuva kokuba kucekelwe ingqalasizinda yamanzi kuMasipala iNkosi Langalibalele eWembezi eMtshezi okushiye imizi eminingi ingenawo amanzi kompompo. Ehambele eLoskop Water Treatment Plant ukushayele ihlombe ukuqhubeka kahle kohlelo lokuqiniswa kokuhanjiswa kwamanzi ahlanzekile emphakathini owakhele iNkosi Langalibalele Municipality. ILoskop Water Treatment Plant iwuhlelo olusha okuhloswe ngalo ukuqinisekisa ukuhanjiswa kwamanzi kubantu abebedonsa kanzima ikakhulukazi emakhaya ekutholeni amanzi ahlanzekile ngokufakelwa izinjini ezintsha kushintshwe ezindala ebezisetshenziswa phambilibi. Ngesikhathi uMnu Hlomuka ehambele kuleya ndawo wamuekele izikhalo eziningi ezimbandakanya ukuntshotshwa kwamakhebuli okwenza kube nzima ekugcineni lolu hlelo lwaseLoskop lusebenze kahle. Kuthiwe lesi sakhiwo sicekelwe kabili ngoSeptember lapho kwantshonthswa izintambo zikagesi

ezimqoka. UMnu Hlomuka ube esenxusa amalungu omphakathi ekusebenzisaneni nabomthetho ukuze kutholwe abenzi bobubi bajeze ngokucekela phansi le ngqalasizinda. Ubuye wahlangana nawo wonke amakhansela alo mkhandlu kudingidwa izindlela ezintsha zokuhambisa intuthuko njengoba iNkosi Langalibalele beyingaphansi kweso lomlawuli kusukela ngo-2017. Leli phephandaba lithole ukuthi lo masipala uzithola ungaphansi kweso lomlawuli kulandela ukusetshenziswa budlabha kwezimali okwakumele zihambise intuthuko yabantu. Izikhundla eziphezulu zaba yimbangela ekusebenzeni kwemali kukhokhelwa abantu ababenamakhono angalingani nawezikhundla abaziqashelwe. UMnu Hlomuka uwuhlabe wawulawula ecela amakhansela ukuba mawasondelani nomnyango wakhe futhi abambisane nalowo ojutshwe umnyango ukuba umlawuli ukuze kube nozinzo kwezezilami futhi kuziwe nesisombululo esizohambisa ngokushesha intuthuko kubantu.

Abafelokazi babonge ukunakekelwa embonini yamatekisi

UMNU Boy Zondi osekuqaleni amukela isitifiketi kuMnu Mbongeni Shezi onguSihlalo waseZwartkop Taxi Association. ngokuthi isikhungo sisezandleni ezifuduTSEPO MOTLOKOA mele kasishabalalanga emuva kokudlula kukaSol Makhathini. “Ngihlezi ngituUSOLWAZI Ishwarlall ‘Mabheka Zulu’ sa iziyalo zeSilo esibusayo okuyizona Ramlutchman usomabhizinisi owaziezangivula amehlo ngokuthanda abanwayo utusa igalelo leziyalo zeSilo ngotu. Bengifisa singosomabhizinisi kube kumbeka kuleli zinga akulona kwezamkhona esikwenzela umphakathi singababhizinisi zokungazithwali nganakho heke-nzuzo, kube yindlela yokubonga kodwa akwazi ukupha nabanye abantu esinakho ngoba konke sikuthole kubantu kulokho anakho. USol Ramlutchman abasisekayo emabhizinisini ethu,” kusho ubeqhuba umsebenzi womcimbi weNauSol Ramlutchman. UDkt Ndumiso tional Congregation School of Theology Makhathini oyindodana kaSol MakhaeMgungundlovu wokuthweswa kwemithini okunguyena osebheke ukusebenza yezane abafundi bamabanga ahlukene kwesikhungo uthe wayengasinakile noma abenza ezenkolo nezokuphathwa kwamuyise emcela ukuba makasondele. “Zikabandla. Kulo mcimbi kubuye kwahlonhona iziqu zemfundo ephakeme enginazo ishwa noDkt Themba Fakazi ongusomabhizinisi ohlonishwayo KwaZulu-Natal futhi bengimlekelela ubaba kodwa ngabubengomunye ngeziqu zobudokotela aleka mhla ethi mangize angithwese iziqu ne-master’s kwi-Humanitarian nabanye zobudokotela ngadeda kakhulu eduzane ababambe iqhaza ekuthuthukiseni lesi kwakhe. Inkungu idamuke eseshonile sikhungo. USol Ramlutchman uyiPhini sengisibona isidingo sokusondela eduze likaShansela lalesi sikhungu uSol Zwelon- emsebenzini awuqalile. Ngibonga odokoke Amos Makhathini odlule emhlabeni tela nosolwazi abebesebenzisana nobaba ngasekuqaleni konyaka emuva kokugula ngokungamukela ngimncane sasebenza isigubhukane. njengoba namhlanje sithwesa abanye Utuse ubuqotho bukaSol Makhathini abafundi imiyezane. Abantu mabasonnaphezu kokuba ayesasebenze naye dele sisekhona isikhungo futhi sinesifiso isikhathi esincane kulesi sikhungo sokusibeka kuleli zinga ubaba ayefisa sibe wazunywa ngukufa. Uthembise abantu kulona futhi size siledlulele,” usho kanje.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


DISEMBA 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 5

BY 2030 ETHEKWINI WILL BE AFRICA’S MOST CARING AND LIVEABLE CITY

ITheku lakha idolobha eliphephile kuwona wonke umuntu

Ubuholi bukahulumeni kazwelonke, owesifundazwe nowasekhaya bethule iFusion Centre mhlaka 20 November baphinde bazibophezela ndawonye ukuqinisekisa ukuphepha kwamadolobha esivumelwaneni esicikicelwe eDr JL Dube. Kuthiwe lesikhungo sizosiza ekuqinisekiseni iminxa yokwabelana ngolwazi oluzothuthukisa izingxela zokulwa nobugebengu. Iphupho leTheku lokuba libalwe namadolobha aphephe kunawo wonke emhlabeni lingase lifezeke maduze nje njengoba iTheku libe ngelinye lamadolobha ayishumi okuzohlolwa ngawo ukusebenza kwephrojekthi i-Integrated Safer Cities Project, ehlose ukusebenzisa ubuchwepheshe ukulwa nobelelesi. Le phrojekthi yethulwa yiPhini likaNgqongqoshe Wezamaphoyisa, uMnu. Cassel Mathale ekanye noNgqongqoshe Wezokuthutha, Ukuphepha Komphakathi Nokuxhumana eSifundazweni saKwaZulu-Natali, uMnu. Bheki Ntuli, iMeya kaMasipala weTheku, uKhansela Mxolisi Kaunda kanye noMkhuzi wombutho wamaphoyisa ezweni, uJenene Khehla Sitole enkundleni iDr JL Dube Sportsfield, eNanda mhla ka-20 Novemba 2020. Injongo yale phrojekthi ukwakha isimo eselekelela uguquko enhlalweni nasemnothweni eNingizimu Afrika ngokwakha izindlela zokusebenza ngokubambisana phakathi kwemiphakathi nohulumeni ekuqikeleleni ukuhlonishwa komthetho. Lo mkhankaso ulandela ukusungulwa kwendlela edidiyela imikhakha emingingi kanye nezinhlaka ezehlukahlukene okuhloswe ngayo ukuba kwakhiwe isimo esinokuphepha ngokusebenzisa ubuchwepheshe besimanje nezinye izigcawu ezifanele ukuze kufezeke iphupho lethu lokuba yidolobha elikwaziyo ukufeza izinjongo zalo ngokusebenzisa ubuchwepheshe besimanje. Lo mkhankaso wethulwe eThekwini, eNanda, okuyindawo engenye yalezo ezihlonzwe njengezidleke zobelelesi ngenxa yesibalo esiphezulu samacala athinta ucansi abikwayo. Izibalo zobelelesi zakamuva ezikhishwe nguNgqongqoshe Wezamaphoyisa, uBheki Cele, ziveze ukuthi amalokishi amathathu aseThekwini – uMlazi, iNanda naKwaMashu abalwa nahamba phambili emacaleni athinta ucansi ezweni lethu. Izibalo ziveze nokuthi iTheku lino-45

lengeza ngaphezulu kuka-14 wamaphesenti ebelelesini ezibalweni zaKwaZulu-Natali, yingakho-nje ukwethulwa ngokuqalwa kwalolu hlelo lokulwa nobelelesi lwamukelwe yibo bonke. Ngenkathi kwethulwa lolu hlelo oluhambisanayo nalolo lukazwelonke lokulwa nobelelesi, kwavulwa ngokusemthethweni indawo ebizwa nge-Fusion Centre in Africa, inhloso yayo okungukwakha isisekelo sezinhlangano ezisebenzisanayo ekuqikeleleni ukuphepha nokuvikeleka kwabantu ngokucobelelana ngolwazi olususelwa ocwaningweni olwenziwe. Ukusetshenziswa kobuchwepheshe bakamuva obuseqophelweni eliphezulu, iFusion Centre, eseDisaster Management Centre kaMasipala weTheku, ikwazi ukuhlanganisa nokudidiyela umsebenzi owenziwa yizinhlaka ezisemikhakheni eyehlukahlukene futhi ezisebenzisa ubuchcwepheshe obunhlobonhlobo. Ngaphezu kwalokhu, lesi sikhungo sizokwenza kusheshe ukusukemela izidumo. UMeya uyamukele ngesasasa le phrojekthi, wakugcizelela ukuthi isinyathelo sokuyekwethula ngokusemthethweni eNanda sithathelwe ukugcizelela nokweseka umsebenzi owenziwayo kule ndawo wokulwa nobelelesi ngokusebenzisana nezinhlaka uMasipala abambisene nazo. Uqhubeke wathi le phrojethi ingenye yalawo abekwe uhulumeni wezwe okuhloswe ngawo ukwelekela ukukhula komnotho nenhlalakahle yomphakathi ezweni lonke. Kulo mcimbi uKhansela Kaunda uphinde wakhuluma ngezinye izinhlaka ezeseka umsebenzi kwale phrojethi: Izinhlaka zomphakathi zokulwa nobelelesi ezibizwa ngama-Community Safety Forums (CPF’s) namaLocal Drug Action Committees (LADS’s) inhloso yazo okungukulwa nobelelesi ezingeni lomphakathi othintekayo. “Injongo yethu ukuqinisekisa ukuphepha kwemiphakathi yethu nokuheha utshalomali. Kunzima kakhulu ukuheha izivakashi zize endaweni ezifana neNanda eyisidleke sobelelesi obesabisayo obunjengamacala ocansi nokubulala,” kusho uNqgongqoshe. Ekuqaleni kuka-2021 zonke lezi zakhiwo zamaforamu omphakathi abhekelele ukuphepha ezindaweni ezahlukahlukene azonikwa uqeqesho ngezinto eziningi kuzona okubalwa lezi: Indawo ephephile futhi enempilo okuhlala kuyona imiphakathi, ubuhlobo obungcono phakathi kwamaphoyisa nomphakathi, izinhlelo zomphakathi zokulwa nezidakamizwa okubalwa kuzona notshwala nokuvala izidleke zazo nokulwa nobugebengu obuhlobene nale mikhuba. Umsunguli weGugu Dlamini Foundation, eyenza umsebenzi oncomekayo wokulwa nesihlava sodlame olubhekiswe kophathina nabantwana, uMandisa Mabaso uthe uyajabula kakhulu ngokuzinikela nokuzibophezela kweMeya, uKhansela Kaunda, ekufukuleni intsha nokulwa nobelelesi. UMeya uKaunda unxuse imiphakathi yonke yaseThekwini ukuba izeseke lezi nhlaka ebezethulwa ngokusemthethweni, waqhubeka wathi, “Ukuqalwa kwalezi zakhiwo zokuphepha kuhambisana nemigomo yohlelo lwentuthuko edidiyelwe kaMasipala waseThekwini ehlose ukuqinisekisa ukuthi zonke izakhamuzi zihlala endaweni ephephile, enempilo futhi evikelekile. Kulindeleke ukuba

lesi sakhiwo sisebenze ngokubambisana nabo bonke okubanjiswene nabo kule phrojekthi ngenjongo yokwakha iDolobha eliphephile, elinakekelayo futhi elinemfudumalo kuwo wonke umuntu” Imiphumela elindelekile ukuqinisekisa ukuqikelela ukuhlonishwa komthetho okubonakalayo ngokubambisana nomphakathi, ukuzwana okungcono phakathi kwamaphoyisa nomphakathi, umphakathi onikwe amathuba, izinhlelo eziqhutshwa umphakathi ukubhekana nezidakamizwa ukwehlisa isibalo sezigqila zezidakamizwa, ubelelesi obumataniswa nokusebenzisa ngokungafanele imithi nezidakamizwa kanjalo nanoma yiluphi uhlobo lobelelesi. Ilungu lomphakathi elingumsunguli weGugu Dlamini Foundation esiza ekulweni nodlame lobulili, uMandisa Mabaso lithe kuyalithokozisa ukuzinikela kweMeya ezinhlelweni zokuthuthukisa intsha namaqhinga okulwa nobelelesi. “Ngiyethemba ukuthi umphakathi uzokhuthazeka ukusebenza ngokubambisana nezinhlaka zokuthotshelwa komthetho”. UMeya uKaunda unxuse imiphakathi ukuba yenze okulindeleke kuyona ngokweseka amaforamu ezokuphepha komphakathi namakomidi okusukumela izidakamizwa endaweni. “Ukuphumelela kohlelo lokulwa nobelelesi olusanda kuqalwa iSafer Cities kusekusebenzeni nasemizameni yabo bonke abathintekayo.”

UMnu Mxolisi Kaunda ecikica isivumelwano sokuzibophezela kwezokuphepha ngaphansi kohlelo loMnyango wezokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal oholwa uMnu Bheki Ntuli esixhaswe nanguMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi owenganyelwe uNkk Nonhlanhla Khoza. Izinjongo zamaforamu ezokuphepha komphakathi namakomidi okusukumela izidakamizwa endaweni zimi kanje: • Ukwenyusa izinga lokukhumbuzana ngezindaba zokuphepha nokugqugquzela ukusebenza komphakathi ngokubambisana • Ukunikeza umphakathi isigcawu sokuzwakalisa lokho okuwukhathazayo mayelana

KONKE KUSEZANDLENI ZAKHO

Ukulwisana nesifo iCovid-19

GEZA IZANDLA NOMA UFAKE ISIBULALIMAGCIWANE • DLALA INDIMA YAKHO • UHLALE UPHEPHILE.

UMnu Cassal Mathale iPhini likaNgqongqoshe wamaPhoyisa nozakwabo KwaZulu-Natal uMnu Bheki Ntuli neMeya yaseThekwini uMnu Mxolisi Kaunda ngesikhathi kwethula uhlelo oludidiyelwe lwezokuphepha emadolobheni. nokuphepha endaweni yawo • Ukubhekana nezidingo eziqondene nalowo mphakathi • Ukuqinisekisa ukuthi imiphakathi ibamba iqhaza ekwenzeni izincomo ekwenzeni ngcono imiphakathi yayo • Ukubhekana nalokho okukhathaza umphakathi ngezokuphepha okuthinta ubelelesi ngokwenza izincomo kwiziphathimandla ezifanele nabanikazi bendawo ukunciphisa amathuba obelelesi • Ukusiza imiphakathi ukulandelela ukusukunyelwa kwezincomo ezenziwe • Ukunikeza umphakathi ithuba lokuba nezwi ngalokho okuyenza izizwe iphephile ezindaweni ehlala kuzona, ngaleyo ndlela isebenziseke kangcono indawo evulekile ebekelwe ukusetshenziswa umphakathi • Ukwenza lula ukwakhiwa kwemikhankaso ekhuthaza umphakathi ophephile • Ukuqinisekisa imizamo yokuxhumana ukunciphisa ukufunakala, ubukhona nomonakalo odalwa ukusebenzisa uphuzo/ izidakamizwa ngokungafanele • Ukukhuthaza ukwenziwa kwemizamo yokuthuthukisa imiphakathi • Ukwakha amathuba okusebenza ngokubambisana ekunciphiseni ukusetshenziswa kwezidakamizwa/uphuzo ngokungafanele • Ukusebenza ngokubambisana nezinye izinhlaka ekulweni nokusetshenziswa ngokungafanele kwezidakamizwa nokuvala opotsho ezisushumbiswa ngabo nobunye ubugebengu obuhambisana nalokhu • Ukuqinisa izindlela zokusiza labo emphakathini okuyibona abahaqwe kakhulu yizinkinga ezihambisa nalezi zinselelo ezibaluliwe • Ukuqinisekisa ukuthi kulandelwa izindlela ezithathelwe ezibonelweni ezingcono kunazo zonke ekunciphiseni izinselelo emphakathini ezihlobene nokusetshenziswa ngokungafanele kwezidakamizwa/uphuzo • Ukuqwashisa umphakathi ngokuhlobene nokusetshenziswa ngokungafanele kwezidakamizwa/uphuzo

NGOKUBAMBISANA SINGAYINQOBA

I CORONAVIRUS

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


IKHASI 6

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

DISEMBA 2020

I -Coastal College yenzela izaguga uKhisimuzi

ABANTU abadala ngesikhathi behlinzekwa ngezipho zikakhisimuzi. MAGAYE CELE SIBUYISELA emphakathini ngokujabulisa abantu abadala isikhungo sezeMfundo, saKwaZulu Natal esigxile kakhulu ekucijweni kwamakhono, abantu abasha, iCoastal KZN TVET College. Lesi sikhungo njalo ngalesi sikhathi sonyaka siba nawo umcimbi wokunikezela ngezipho kubantu abadala baseThekwini namaphethelo. Nakulo nyaka senze into efanayo yize isimo somnotho sibonakala sisimbi. Bangu-38 sebebonke ogogo nomkhulu abanyelwe yinyoni esandleni njengoba lesi sikhungo sibagixabeze ngegilosa yokudla kanye nendathane yezipho ezin-

hlobonhlobo. Umcimbi ubukade uqhubeka eSwinton Campus. Bekuqhilika izihlathi kogogo nomkhulu ngesikhathi benikezwa izipho. Inhloso enkulu yalo mcimbi ukubuyisela emphakathini ngokusho kukaNkk Thembekile Msimang oyiPhini likaThishanhloko kwabaCorporate Service, ongomunye webebephambili ekufezekiseni ukuphumelela kwalolu hlelo aluchaze njengolumqoka kakhulu. Uthe bayisikhungo esikubeka eqhulwini ukukubaluleka kokuba nobudlelwane obuhle nomphakathi isikhungo esikuwona. Uthe kuyinto emqoka kakhulu ukunakekelwa kwabantu abadala. Uveze ukuthi ukunakekela umphakathi

Kuqhilike izihlathi bethweswa imiyezane ngamakhono abanawo

ABAFUNDI abebethweswa imiyezane ngaphansi kohlelo loMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal. TSEPO MOTLOKOA UNGQONGQOSHE woMnyango wezokuThukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal uNkk Nonhlanhla Khoza uphensele inselelo abamtnu abasha yokungajahi ukugijimela izinto ngezindlela eziwubukhoshosho kodwa mabasebenze kanzima ukufezekisa amaphupho abo. UNkk Khoza uyale kanje kade kuthweswa imiyezane abantu abasha abangu-463 abebeqeqeshwa yilo mnyango ngaphansi kohlelo lwamakhono ahlukahlukene ukuthola impilo engcono. Ugcizelele kubantu abasha ukuzinikela kwabakwenzayo ukuze amaphupho abo afezeke ethi uhulumeni uzinikele ekubafukuleni ukuze nabo babe utho esizweni. Laba bahlimule ngezitifiketi kusukela emkhakheni wokucwala kwezinwele (NQF4), ekuhlanzeni izakhiwo (NQF1) kuze kube sekuphathweni kwamabhizinisi imbala

(NQF4). Ekhuluma lapha uNkk Khoza uthe umnyango wabo uphokophelele ekuphuculeni impilo yabantu abasha ukuze bangazithole beyimilutha yezidakamizwa. “Sifuna ukubona abantu abasha bethuthuka empilweni yabo. Sifuna ukubona abantu abasha bebambe iqhaza ekukhuliseni umnotho wezwe lethu. Sifuna ukubona lobu dlelwano esesibakhile buphumelela ngokuthela izithelo ezinhle. Abantu abasha kulezi nsuku babhekene nomqansa ekuthuthukeni njengoba ngakolunye uhlangothi benukubezwa, badlwengulwe nokunye okungalungile. Ngalezi tifiketi esizidlulisa namhlanje sisempini yokulwa nobubha obuhlasele abantu abasha,” usho kanje. Eqhubeka uNkk Khoza uthe bewumnyango bazimisele ukulalela noma ngabe ngubani umuntu omusha. Uthe bazibphezele ekuboneni abantu abasha bethuthuka kuze kuzuze imindeni yabo ngamakhono abo abanawo. “Lezi tifiketi sizithatha njengokhiye wokuvuma iminyango eya empumelelweni yenu. Lolu hlelo saluqala ngo-2016 futhi siyazibona izithelo zalo njengoba banatu abaningi sebehlomulile ngalo ekuxosheni ikati eziko emakhaya abo. Siwumnyango sizimisele ekunilekeleleni ngalezi tifiketi ngokuthi nibe nemiphilandawonye enizoba kuyona ukuze nikwazi ukuphila ngamakhono enu,” usho kanje. Uthe ngalolu hlelo lwabo bewumnyango ngokubambisana nabe-National Qualification Framework (NQF) oluqhutshwa yiSETA babheke lukhulu ekuzuzeni kwabantu abasha ekuziphiliseni.

UGOGO omdala kunabo bonke ebebekhona, uNkk Mirriam Msimang nezipho zakhe. Ngemuva ngabeCaostal College. ngeminye yemigomo yabo eseqhulwini. Echaza uthe: “ICoastal College yisikhungo esikwazisayo ukubaluleka komphakathi esikuwona. Futhi sizimisele ngokuthi sisize lapho okufanele sisize khona. Lokhu sikwenza ngoba suyaqonda ukuthi isikhathi sikakhisimuzi yisikhathi sokuba sithandane, sihlephulelane lokho okuncane esinakho siphinde futhi sikhombisane nothando. Kodwa ke thina esibababeka phambili ngabantu abadala.” Eqhuba uthe lokhu bakwenza ngoba bayakuqonda ukuthi abantu abadala banendima enkulu kangakanani emphakathini abakuwona. Uthe ikolisi lihlose ukubavezela ukuthi babaluleke kangakanani emphakathini wabo.

Uthe: “Sikholwa ukuthi ayikho into emqoka ngaphezulu kokuqinisekisa ukuthi abantu abadala bayaluthola uthando abaludingayo ngaso sonke isikhathi. Kumele siqinisekise futhi ukuthi bayakuthola nokunakekelwa.” Ngenhloso yokuhlonza okuyibona bona abafanelwe ukuthola izipho kanye negilosa uveze ukuthi basebenza ngokubambisana kanye nezinhlangano ezingenzi nzuzo kanye nabamabandla. Ugogo uNkk Miriam Msimang waseLamontville, eningizimu yeTheku, oneminyaka engu-100 ongomunye wabahlomulile ubonge wanconcoza kwabaseCoastal College. Uthe bazizwa bamukelekile futhi bethandwa kakhulu.

USomabhizinisi waseNdiya utusa iSilo saMaZulu ngempumelelo yakhe

ISIGUNGU saseNational Congregation School of Theology eMgungundlovu sinodokotela, osolwazi, nezitshudeni ezibambe iqhaza kulesi sikhungo. TSEPO MOTLOKOA USOLWAZI Ishwarlall ‘Mabheka Zulu’ Ramlutchman usomabhizinisi owaziwayo utusa igalelo leziyalo zeSilo ngokumbeka kuleli zinga akulona kwezamabhizinisi zokungazithwali nganakho kodwa akwazi ukupha nabanye abantu kulokho anakho. USol Ramlutchman ubeqhuba umsebenzi womcimbi weNational Congregation School of Theology eMgungundlovu wokuthweswa kwemiyezane abafundi bamabanga ahlukene abenza ezenkolo nezokuphathwa kwamabandla. Kulo mcimbi kubuye kwahlonishwa noDkt Themba Fakazi ongusomabhizinisi ohlonishwayo KwaZulu-Natal ubengomunye ngeziqu zobudokotela ne-master’s kwi-Humanitarian nabanye ababambe iqhaza ekuthuthukiseni lesi sikhungo. USol Ramlutchman uyiPhini

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

likaShansela lalesi sikhungu uSol Zwelonke Amos Makhathini odlule emhlabeni ngasekuqaleni konyaka emuva kokugula isigubhukane. Utuse ubuqotho bukaSol Makhathini naphezu kokuba ayesasebenze naye isikhathi esincane kulesi sikhungo wazunywa ngukufa. Uthembise abantu ngokuthi isikhungo sisezandleni ezifudumele kasishabalalanga emuva kokudlula kukaSol Makhathini. “Ngihlezi ngitusa iziyalo zeSilo esibusayo okuyizona ezangivula amehlo ngokuthanda abantu. Bengifisa singosomabhizinisi kube khona esikwenzela umphakathi singabheke-nzuzo, kube yindlela yokubonga esinakho ngoba konke sikuthole kubantu abasisekayo emabhizinisini ethu,” kusho uSol Ramlutchman. UDkt Ndumiso Makhathini oyindodana kaSol Makhathini okunguyena osebheke ukusebenza kwesikhungo uthe wayengasinakile noma uyise emcela ukuba makasondele. “Zikhona iziqu zemfundo ephakeme enginazo futhi bengimlekelela ubaba kodwa ngabaleka mhla ethi mangize angithwese iziqu zobudokotela ngadeda kakhulu eduzane kwakhe. Inkungu idamuke eseshonile sengisibona isidingo sokusondela eduze emsebenzini awuqalile. Ngibonga odokotela nosolwazi abebesebenzisana nobaba ngokungamukela ngimncane sasebenza njengoba namhlanje sithwesa abanye abafundi imiyezane. Abantu mabasondele sisekhona isikhungo futhi sinesifiso sokusibeka kuleli zinga ubaba ayefisa sibe kulona futhi size siledlulele,” usho kanje.


DISEMBA 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 7

UMYALEZO KAKHISIMUSI OVELA KUMEYA KAMASPALA WAKWADUKUZA, UKHANSELA DOLLY GOVENDER

Unyaka ka-2020 ube unyaka onzima obe nezinselelo eziningi, kodwa siyajabula ukuthi sesifike esiphethelweni sawo. Yize senze impumelelo ebonakalayo maqondana nokuthola abatshalizimali, sibuye sabona izithiyo eziningi, ezinye zazo ezibe khona ngenxa yokhuvethe kodwa sihlose ukuthi sizinqobe ngonyaka ozayo. Isikhathi sikaKhisimuzi sesisondele. Lesi yisikhathi esibalulekile lapho sichitha khona isikhathi nabathandiweyo bethu siphinde sihlanganyela futhi siphe nalabo abaswele. Ngalesi sikhathi masikhumbule futhi sisekele labo abayizisulu zokuhlukunyezwa. Asikwazi ukuvumela abesifazane, izingane kanye nabesilisa bethu ukuthi babhekane nodlame nokuhlukunyezwa emakhaya abo. Lesi yisikhathi lapho kufanele sikhunjuzwe ukuthi sishumayele ivangeli lothando nokuthula. Kulabo abazothatha uhambo futhi basebenzise imigwaqo yethu ngalesi sikhathi samaholide sicela ukuthi bashayele ngokucophelela ukuze baphephe, behlise ijubane, bathathe amakhefu anele futhi baqinisekise ukuphepha kwabathandiweyo babo kanye nabanye abasebenzisa umgwaqo. Nazi izinto ezimbalwa engifisa ukuzikhumbuza umphakathi njengoba sisembhidlangweni wokuvikela ukubhebhetheka kwegciwane lokhuvethe ngalesi sikhathi samaholide: - Bonke abashayeli bezithuthi zomphakathi kumele baqinisekise ukuthi abagibeli bagqoka izifonyo;

31 kuZibandlela 2020 Ngomhlaka 01 Januwari 2021 02 Januwari 2021 03 Januwari 2021 - Awavumelekile amaphathi noma imikhosi emabhishi nasemapaki, kufaka phakathi amaphathi wonyaka omusha - Akuvumelekile ukuthi abantu babe uvanzi ngaphandle kusukela ngo -11 ebusuku kuya ku-4 ekuseni - Izindawo zokudla nezithengisa utshwala kumele zivalwe ngo-10 ebusuku - Ukudayiswa kotshwala kusuka ngo-10 ekuseni kuye ku-6 ntambama ngoMsombuluko kuya kuLwesine kuphela - Akuvumelekile ukusetshenziswa kotshwala kuwo wonke amabhishi namapaki Ngiyethemba ukuthi u-2021 uzosinika elinye ithuba lokuphokophela ukuthola ubumbano, umphakathi ochumile lapho izinhlelo zikahulumeni zibhekene ngqo nezidingo zabantu nokuqinisa imizamo yethu yokukhuthaza ukubuyisana phakathi kwabantu baseNingizimu Afrika nokukhuthaza ubumbano lukazwelonke ngaleyo ndlela kugxile ukunakwa kwabantu bethu ngekusasa elihlanganyelwe leNingizimu Afrika.

- Yonke imibuthano (kubalwa phakathi imibuthano yezenkolo) abantu akumele beqe ikhulu abangaphakathi endlini noma abangu-250 uma kusetshenziswa izindawo ezivulelekile

Kuyisifiso sami ukuthi nina nemindeni yenu nijabulele futhi nigubhe isikhathi samaholide esigcwele injabulo nentokozo. Ukhisimusi omuhle kanye nonyaka omusha onempumelelo kini nonke

- Ayikho imibuthano emva komngcwabo

Kuze kube ngu-2021,

- Amabhishi namapaki omphakathi azovalwa ngomhla ka-: 16 kuZibandlela 2020 25 kuZibandlela 2020 26 kuZibandlela 2020

Cllr. UDolly Govender uMeya waKwaDukuza


IKHASI 8

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

DISEMBA 2020

Sivubela Intuthuko

EZEMIDLALO

UBenni uthembisa injabulo oSuthwini THABANI MAPHUMULO

Umqeqeshi omusha waMaZulu FC ekanye noSihlalo waleliqembu uSandile Zungu

USUTHU luqede ukuqagula kubantu ngozothatha isikhundla sokuqeqesha kuleli qembu emva kokuba lowo obeliqeqesha u-Ayanda Dlamini efake incwadi yokusula. Osukwini lwangeSonto leli qembu lethule uBenny McCarthy njengomqeqeshi walo omusha. UMcCarthy ongemusha ebholeni lakuleli njengoba eke waqeqesha iCape Town City uthembise ukuletha Iinjabulo kuleli qembu laKwaZulu Natal njengoba uSihlalo walo omusha uSandile Zungu ethe okungenani bafuna up kuqeda kuDstv Premiership besendaweni yesine. “USihlalo ufuna indawo yesine kodwa mina nginezifiso ezidlula ezikaSihlalo. Isikhathi sami sokuba mncane kulomsebenzi sesiphelile, ngifundile ukucathula ngenkathi ngisaqeqesha iCape Town City. Njengamanje sengikulungele ukugijima njengo Usain Bolt, ngenxa yabadlali iqembu elinabo. Angiziphakamisi kodwa ngiyazi kukhona engingakwenzela iqembu Uma ubheka abadlali

elibasayinisile,” kusho McCarthy. USuthu lusanda kushintsha ubuholi njengoba selithengwe isiqumama saseMlazi uSandile Zungu elithenga kumndeni wakwaSokhela. Kuze Kube yimanje leli qembu lisakwaze ukuqoqa amaphuzu ayisithupha emva kwemidlalo eyisithupha. “Asizile ukuzokwandisa isibalo samaqembu, kodwa sifuna ukubalwa namanye amaqembu aphezulu. Uma ubheka umsebenzi wami wokuqeqesha okokuqala angenzanga kabi”. Kuphetha uMcCarthy. Lomqeqeshi ngenkathi esakuCape Town City ukwazile ukufaka leli qembu kowamanqamu weMTN 8 bagcina behluliwe , ngesizini elandelayo wakwazi ukunqoba isicoco Sakhe sokuqala njengomqeqeshi seMTN 8 emva kokuhlula iSupersport United. Phakathi kwabadlali leliqemb elisanda kubasayinisa singabala oLuvuyo Memela, Augustine Mulenga, Xola Mlambo, Siphiwe Tshabalala, Sphelele Mthembu, Makhehleni Makhaula, Velile Mothwa, Limbikani Mzava kanye nabanye abaningi.

Umunyu kushona umdlali engozini THABANI MAPHUMULO KUBE umunyu wodwa kubathandi bebhola lezinyawo emva kokuvuka ngezindaba ezibuhlungu ngosuku lwangeSonto, zokudlula emhlabeni komdlali wasemuva weMamelodi Sundowns uMotjeka Madisha owabandakanyeka engozini yemoto ebusuku ngoMgqibelo. Akukapheli zinsuku ezingaphi kushone umdlali walo leli qembu u-Anele Ngcongca naye odlule emhlabeni ngenxa yengozi yemoto kulesifundazwe njengoba bekubhekeke ukuthi ayojoyina iqembu laMaZulu FC. UMadisha nobephinde adlalele iqembu lesizwe iBafana Bafana kubikwa ukuthi ngenkathi ebasengozini eKempton Park ubesuka emcimbini wokubungaza iminyaka engama-50 iqembu leMamelodi Sundowns labakhona. Lo mdlali obesamncane ubebon-

akala enekusasa eliqhakazile njengoba ekwazile nokunqoba izicoco neqembu lakhe iDowns, Kanti ukudlala Kahle kwakhe kufakazelwe nawukubizelwa eqenjini lesizwe iBafana Bafana umqeqeshi uMolefi Ntseki. Sekuyinsakavukela ukushona kwabadlali ngezingozi zezimoto. Phakathi kwabadlali asebadlula emhlabeni ngenxa yezingozi singabala uLesley Manyathela, Gift Leremi, Clifford Moleko, Cecil Lolo, Anele Ngcongca, Jan Silo, Mondli Cele Kanye nabanye abaningi. Alokhu engenile amazwi enduduzo evela kubathandi bezemidlalo nasemaqenjini ebhola. Nakuba kunjalo iqembu leDowns likhiphe isitatimende esiveza ukuthi basalinde imiphumela yolibo fuze ukuqinisekisa ukuthi ngabe uyena ngempela yini uMotjeka Madisha loshonile kulengozi.

Umdlali wasemuva weMamelodi Sundowns uMotjeka Madisha oshone yemoto ngempelasomto

031 828 0433 / 082 597 6669

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.