Sivubela Intuthuko Newspaper

Page 1

SIVUBELA Intuthuko

ADVERTISING: 067 920 8446 NOVEMBA/DISEMBA 2020

Izinyane leMbube likhuthaza ukuthuthuka kwabeSantaco KZN

iKhasi 6

FACEBOOK: SIVUBELA INTUTHUKO

SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Kufundiswe abantu abasha ngokuhweba nokukhiqiza inyama yenkomo

iKhasi 2

UMasipala uxwayisa ngokufaka amaphepha ezitamukokweni

iKhasi 5

LIMAHHALA USHICILELO 55

UTsutsulupa uthi akanikwe ithuba umqeqeshi

uMkhandlu uthembise ukuhlomulisa umphakathi udaba ekhasini 3.

IMEYA uMxolisi Kaunda oveze izindaba zokuthi iDolobha iTheku linezinhlelo zokuvumela abantu abangu-400 000 izindawo zokuhlala ngaphakathi kwiDolobha

UNGQONGQOSHE wezokuBusa nokuBambisana Kanye nezomDabu kuzwelonke, uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma obehambele iLembe ngenhloso yokuyokwethula uhlelo iDistrict Development Model (DDM).

udaba ekhasini 7.

IR350.00 E KHETHEKILE YO SIZO KU COVID 19 I ZA KU QUBEKA U KU BATALWA INYANGA E ZI NTATHU ULWEZI 2020 KU ZE KU BE U UMASINGANA 2021.  iR350.00 e khethekile yo sizo ku sikhathe se Covid 19 izo ku qubeka u ku batalwa isikhathi e singa h ZϯϱϬ ŽŬŚĞƚŚĞŬŝůĞ ǁŽƐŝnjŽ ůǁĞ ŽǀŝĚ ϭϵ ŝnjŽƋŚƵďĞŬĂ ƵŬƵŬŚŽŬŚǁĂ ŝnjŝŶLJĂŶŐĂ ĞnjŝŶƚĂƚŚƵ ŬƵƐƵŬĞůĂ ŬƵ >ǁĞnjŝ ϮϬϮϬ ŬƵnjĞ ŬƵďĞ nge nyanga e zi ntatho uLwezi 2020 ku ze kube uMasingana 2021.Maku zoba no zo kwalelwa noma ƵDĂƐŝŶŐĂŶĂ ϮϬϮϭ nga ziphi isizathu ku fanele a enze isicelo so ku buyekeza ku covd19srdappeals@sassa.gov.za  Noma ngubani ongafaki isikhalazo ngeke abhekwe kabusha njengoba singenayo imali yokubheka kabusha zonke izicelo ezaphikiswa.

Sassa: A leader in the delivery of social security services

iKhasi 8


IKHASI 2

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

NOVEMBA /DISEMBA 2020

Abakwa-Shell nomnikelo wekhethelo eSimozomeni Primary School eRichmond “Sezwakala isicelo sami kwawukuthi ingqinamba enkulu ngukuthi azokwehliswa kanjani esuka eGoli eze eRichmond ngenxa yezindleko.

TSEPO MOTLOKOA KUTUSWE iqhaza lenkampani enkulu ka-petrol iShell eBryston eGauteng ngokubuyisela emphakathi njengoba ngeledlule ngoLwesibili idlulisele amadesk aseqophelweni eliphezulu ezinganeni ezifunda eSimozomeni Primary School eRichmond. Lama desk angu-15 akhiwe ngendlela yesimanje njengoba kunomthetho ovikela ukungasondelani kwabantu ngenxa yemibandela yeCOVID-19 njengoba nawo akhiwe ngokuthi noma abafundi besebenzisa elilodwa kodwa bangasondelani njengohlelo lukahulumeni lwezempilo. UMnu Mthokozelwa Dlamini onguthishanhloko waseSimozomeni ubongele isikole asengamele ngoxhaso lwabakwaShell athi akusilona lwakhe kodwa ngelomphakathi wonke waseSimozomeni. Uthe waqala ngoMasingana (January) nonyaka ukushela abakwaShell enxusa ukwelula isandla esikoleni sakhe njengo-

ba sasintula ngezinto zokuhlala abafundi uma kufundwa. “Sezwakala isicelo sami kwawukuthi ingqinamba enkulu ngukuthi azokwehliswa kanjani esuka eGoli eze eRichmond ngenxa yezindleko. AbakwaShell bathi bangakwazi kuphela ukunginikeza lama desk kodwa ukuwathutha sekuzoba kithina njengesikole. Ngiye ngazama ukuxhumana noMnyango weMfundo KwaZulu-Natal ukuba usilekelele njengoba bekubiza ukuwalanda bekudingeka uR30 000 weloli. Ngizamile ukuthola usizo kwezinye izinkampani ezithutha impahla kwaba nezingqinamba nakhona ngaze ngabuyela khona kwaShell ngabachazela babona nabo ukuthi ngixakeke ngempela bagcine sebekwenza umthwalo wabo ukuwathumela eRichmond. Ngiyajabula ukuthi iphupho lami ngalama desk seligcine lifezekile. Lama desk ahambisana nombandela wokungasondelani ngokwezempilo ngaphansi kwe-coronavirus,” usho kanje. U-Azipho Phoswa umfundi wakwa-grade

Kufundiswe abantu abasha ngokuhweba nokukhiqiza inyama yenkomo

ABAFUNDI baseSimozomeni Primary School eRichmond bejabulela ama-desk abawanikelelwe ngabakwaShell. 6 eSmozomeni ubongele ozakwabo ngomnikelo wabakwaShell wokubahlinzeka ngezokuhlala. Uthe ama-desk lawa abebewasebenzisa abesegugile kangangoba abebawisa uma benganakile

uMasipala unikezela ngosizo lwendlu

YIYONA le ndlu entsha ceke edluliselwe nguMkhandlu waseMandeni oholwa nguKhansela Thabani Mdlalose kubantwana abangu-6 abahlala bodwa. UNKK Bongi Sithole-Moloi woMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya abahlele i-work ye- Basic Beef Production TSEPO MOTLOKOA INTENDELE iwele esandleni kwabahweba ngemfuyo KwaZulu-Natal njengoba uMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya kulesi sifundazwe oholwa nguNgqongqoshe uNkk Bongi Sithole-Moloi bewune-workshop yabantu abasha abebefundiswa kabanzi ngomkhakha wokuhweba ngenyama. Le workshop ebibizwa nge-Basic Beef Production ethathe izinsuku ezintathu beyiseCedara College ngaphandle kwaseMgungundlovu. UMnu Vusi Zuma okhulumela lo mnyango KwaZulu-Natal uthe uNkk Sithole-Moloi ubebheke kakhulu abantu basha afisayo ukubabona begamanxa ekuhwebeni ngenyama. “Abebehambele le workshop babheme bakholwa ngamasu abacijwe ngawo ngokwazi kabanzi ngenyama nangokungena kwayo emakethe. Phakathi kwabe-

befundiswa ngakho ngukwazi kabanzi ngezifo ezihlasela izinkomo ezigcina ziphazamisa abafuyi ekuhwebeni ngenyama, ukunakekelwa kwezinkomo kwansuku zonke ukuze zihlale ziphilile nokudla okuzifanele ukuze zihlale zondlekile futhi zikhiqize nenyama esezingeni elifanelekile enempilo kwabayidlayo. Lona ngumkhankaso womnyango wokusondeza intsha emkhakheni ongandile kubantu abamnyama iakhulukazi basemakhaya. Sifisa ukuyibona indlu emnyama ibamba elikhulu iqhaza ngasekukhiqizeni inyama enempilo engena ezilaheni ezinkulu,” ubeke kanje. UMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya le workshop bewuyihlele ngokubambisana nabeCedara FET College nabe-Afrivet yase-University of Pretoria abebekhiphe ongoti babo ukuzohlomisa kumbe ukucija abebeyingxenye yayo.

ngenxa yokuxega. “Besibhala kabi ngenxa yokuswela ama-desk kodwa namhlanje sesiphumelele sibonga abakwaShell nothishomkhulu abasisizile ngawo,” ubeke kanje.

MAGAYE CELE UMKHANDLU waseMandeni oholwa nguKhansela Thabani Mdlalose unikezele ngosizo lwendlu entsha ceke kubantwana bakwaMahlaba abangu-6 abahlala bodwa, njengoba unina esabashiya emhlabeni. Lo Mkhandlu wenze lo msebenzi ngaphansi kohlelo olubizwa ngokuthi yi-Operation Sukuma Sakhe,oluhlose kakhulu ukunikezela ngosizo lwezindlu kumalunga omphakathi waseMandeni. IMeya uMdlalose ngesikhathi ekhuluma ukuchaze njengento emqoka kakhulu kubona njengoMkhandlu ukuqikekela ukuthi abadinga usizo lwezindlu bakuthola ngokushesha. Ukunikezela ngentuthuko kubantu abayidingayo uthe kakade yinto eseqhulwini kwizinhlelo abanazo bona njengoMkhandlu waseMandeni. Uthe bazibophezele ekwenzeni konke okusemandleni abo ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi ifinyelela kubantu ngokushesha intuthuko. Ecahaza uthe:

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

“Ukunikezela ngosizo lwezindlu sikubona kuyinto emqoka kakhulu kunazo zonke. Sikholwa wukuthi ayikho into emqoka ngaphezulu kokuba umuntu nomuntu abe nendawo yokuhlala. Nakhona lapho siyabheka ukuthi leyo ndawo ohlala kuyona iyagculisa yini. Uma ingagculisi senza konke okusemandleni ethu ukuqinisekisa ukuthi siyakusiza ngokukwakhela indlu enesithunzi.” Mayelana nomndeni ebebewuhambele wakwaMahlaba uthe kuyadabukisa kakhulu ukubona izingane ezincane ezingu-6 seziphila impilo ngaphandle kwabazali. Uthe yingakho benguMkhandlu bekubone kumqoka kakhulu ukuba basheshe balusukumele lolu daba ngesikhathi bezwa ngalo. “Siyajabula kakhulu ukuthi abantwana manje sebezolala bakhululeke endaweni enhle futhi ebafanele. Uma kukhona abanye abantwana abakulesi simo esifuze esalaba nakanjani sizokwenza isiqiniseko sokuthi usizo luhamba luze lufinyelele nakubona,” echaza. Abantwana ebenikezwa indlu ngaleli langa kuvelile ukuthi bashonelwa ngunina obazalayo eminyakeni engu-12 eyedlule, njengoba ashona ngonyaka ka-2012. Ngonyaka ka-2018 lo mndeni waphinda wagubazelwa yifu elimnyama ngesikhathi kudlula emhlabeni ngokukhulu ukuzuma lokhu owesifazane okwaknguyena omdala, owabe ekhulisa abantwana. UMkhandlu waseMandeni usale sewunikezela nangegilosa yokudla kulo mndeni. U-Agcinile Mahlaba okunguyena omdala emndenini ubonge wanconcoza kuMkhandlu waseMandeni. Wathi noma imvula ina sebezokwazi ukuthi bahlale ngokukhuleka.


NOVEMBA /DISEMBA 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 3

uMkhandlu uthembise ukuhlomulisa umphakathi MAGAYE CELE USEZINHLELWENI ezihlabahlosile zokutholela abantu abangu-400 000 izindawo zokuhlala enkabeni yeDolobha, uMkhandlu weTheku. Lezi zindaba zivezwe yiMeya uqobo, uKhansela Mxolisi Kaunda. Ukhansela uKaunda uveze lezi zindaba ngesikhathi ethula izethulo ezimqoka kwinkulumo abeyenza emhlanganweni obalulekile nosomabhizinisi baseThekwini namaphethelo. Lo mhlangano ubukade uqhubeka eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC) muva nje. UKaunda uthe ukuhlaliswa kwabantu ngaphakathi eDolobheni bakwenza ngoba banguMkhandlu okubeka eqhulwini ngaso sonke isikhathi lokho okufiswa ngabantu. Uthe baningi kakhulu abantu ebebefisa ukuthola izindawo zokuhlala kwiDolobha, uthe yingakho nje bagcine befinyelele kwisinqumo sokuba bavule indawo engagcina ithatha abantu abangu-400 000 ukuba bahlale. “Siyethemba ukuthi lokhu kuzobajabulisa kakhulu abantu baseThekwini namaphethelo. Sifuna ukuqinisekisa ukuthi lolu hlelo lokuhlaliswa kwabantu abaningi kangaka lwenzeka ngendlela efanele nangesikhulu isinono lesi,”

kuchaza uKhansela uKaunda. UKhansela uKaunda ukhulume nangokubaluleka kokuphepha kwabantu abahlala ngaphakthi kwiDolobha, iTheku. Ukhulume kabanzi ngohlelo olugqugquzela ukuphepha kwezakhamizi zaseThekwini olubizwa ngokuthi yiSafer Cities. Uthe njengoMkhandlu bazimisele kakhulu ngokuthi basebenzisane namaphoyisa ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi abantu abahala eThekwini abaphinduki izisulu zobugebengu. Wenze isethembiso sokuthi bazokwenza konke okusemandleni abo ngenhloso yokubhekana nje ngqo nobugebengu. Echaza uthe: “SinguMkhandlu sifuna ukwenza konke okusemandleni ethu ngenhloso yokunqanda ububengu obuqhubeka ngaphakathi kwiDolobha lethu. Sihlose ukuqinisekisa ukuthi iDolobha lethu ligcina liba yiDolobha eliheha izivakashi futhi elingenabo nje nhlobo ubugebengu.” Ukhulume nangokubaluleka kokuba kuthuthukiswe iDolobha, iTheku. Uthe kumqoka ukuba iTheku libonakale lithuthuka kwimikhakha eyehlukene. Okungabalwa kuyona nezamabhizinisi. Uthe ukudlondlobala kweDolobha iTheku kusho ukufukuleka komnotho omkhulu waleli dolobha.

IMEYA uMxolisi Kaunda oveze izindaba zokuthi iDolobha iTheku linezinhlelo zokuvumela abantu abangu-400 000 izindawo zokuhlala ngaphakathi kwiDolobha

UMasipala waseThekwini nabe-Water Research Commission nesivumelwano sokusebenzisana

UMNU Ednick Msweli oyisikhulu sezamanzi nokuthuthwa kwendle kuMasipala waseThekwini. TSEPO MOTLOKOA INTENDELE iwele esandleni emphakathini owakhele uMkhandlu waseThekwini njengoba lo mkhandlu ophikweni lwezamanzi nokuthuthwa kwendle ngokubambisana nabe-Water

Research Commission (WRC) besayine isivumelwano sokusebenzisana ekuqinisekiseni ukuthi bonke abantu baseThekwini bathola amanzi ahlanzekile. Lesi sivumelwno kuhloswe ngaso ukuqinisekisa ukuthi yonke iminxa ebhekelele ukuthuthukiswa kwengqala-

sizinda ikakhulukazi ohlelweni lwamanzi nokuthuthwa kwendle kuhanjiswa ngohlelo lobuchwepheshe besimanje. Okuzobhekwa kakhulu ngalesi sivumelwano ngukuqikelela ukuthi lezi zingqinamba eziye zinqinde uhlelo lokuthuthwa kwendle emalokishini, emadolobheni kuze kufike nasezindaweni zasemakhaya ziyanqandwa. Ukukhula kwesibalo sabantu kuphoqa ukuthi kuqikelelwe ekuhanjisweni kwamanzi okuphuza anempilo kanjalo nokuthuthwa kwendle kuhambisane nohlelo lokuhanjiswa kwentuthuko yomphakathi. UMnu Ednick Msweli oyisikhulu esikhulu ophikweni lwezamanzi nokuthuthwa kwendle kuMasipala waseThekwini uthe lolu hlelo abeza nalo lusho lukhulu ekusizeni lomkhandlu onesibalo esiphezulu sabantu abadinga ukunakekelwa nsuku zonke ngentuthuko. “Lokhu kubambisana kwethu kuzogcizelela uhlelo oluhle lwabe-WRC okungolokuthuthukisa ingqalasizinda eyaziwa ngele-Water Technologies Demonstration Programme and the South African Sanitation Technology Enterprise Programme,” usho kanje.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

UMnu Msweli wengeze ngokuveza ezinye izinto eziye zithikameze ukuhanjiswa kwamanzi kubantu kuhlanganisa ukushoda kwawo, ukunukubezeka kwawo nokuguquka kwesimo sezulu athe kuye kube yinkinga ababhekana nayo benguMkhandlu waseThekwini. “Lokhu kuhlangana kwethu kuzosiza zonke izinhlaka ukuhlonza konke okuyizingqinamba ezibhekana neTheku okuzosiza ekutheni kuyiwe kahle phambili ngokubambisana,” ubeke kanje. I-Chief Executive Officer yase-WRC uDhesigen Naidoo uthe bakholwa ukuthi lesi sivumelwano sokusebenzisana nabaseThekwini kwezobuchwepheshe nezenhlalo kuzoholela ekutheni iNingizimu Africa iye phambili ngokuba nohlelo oluzinzile lokuqinisekisa ukuhanjiswa kwentuthuko kubantu ngendlela yesimanje. “Kuyajabulisa ukubambisana nokwabelana ngemibono yokubhekelela ukwethula kwenhlanzeko yamanzi nokuthuthwa kwendle lokho okuzokhuphula inhlalakahle ezozuzisa abantu baseNingizimu Afrika,” uphethe kanje.


IKHASI 4

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

NOVEMBA /DISEMBA 2020

GCINA

INGQALASIZINDA YETHU YAMANZI EMVULA IHLANZEKILE Amapayipi ethu alawula amanzi emvula ayingqalasizinda ebalulekile esiza ukunqanda izikhukhula ngezikhathi zezimvula ezinamandla. Masiyigcine ihlobile futhi ingenayo imfucuza ukuze sinqande izikhukhula, ukucekeleka phansi kwengqalasizinda, amakhaya nezitshalo, ukulahleka kwezimpilo kanjalo nomthelela ongemuhle kwimvelo.

YINI ESINGAYENZA NGALOKHU? Ukungcola kwamapayipi alawula amanzi emvula yinkinga sonke esingabamba iqhaza ekuyixazululeni. Singayifeza inhloso yethu yokuba nemisele yamanzi ehlobile futhi enempilo kanye nemifula ngokuthatha lezi zinyathelo:

LAHLA UDOTI EMGQONYENI, NOMA NGABE MNCANE KANGAKANANI

YEKA UKULAHLA UDOTI NGOKUNGEMTHETHO ENDAWENI ENGAFANELE

QINISEKA UKUTHI AMAKHEMIKHALI, AMAFUTHA NOKUNYE OKUNAWO AKUCHITHWA EMAPAYIPINI NASEMISELENI YAMANZI EMVULA.

Information provided by: Coastal Stormwater and Catchment Management Department, Engineering Unit

UKUBIKA AMAPAYIPI NEMISELE YAMANZI EMVULA EVALEKILE SHAYELA KULE NOMBOLO:

073 148 3477 080 131 3013 eservices@durban.gov.za

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


NOVEMBA /DISEMBA 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 5

BY 2030 ETHEKWINI WILL BE AFRICA’S MOST CARING AND LIVEABLE CITY

UMasipala uxwayisa ngokufaka amaphepha ezitamukokweni

Esithombeni :uMnumzane Mohammed Dildar ( oyisikhulu esiphezulu emnyangweni wamanzi nokuthuthwa kwendle) NOKULUNGA MAJOLA UMasipala weTheku usuxwayise izakhamuzi ukuthi zingalahli noma yini ezitamukokweni nasezindlini zangasese ngoba kukhinyabeza ingqalasizinda. Ngokusho uMnuz Mohammed Dildar, idolobha alisoze layinqoba impi yokulwa nokuvuza kwezitamkoko ngaphandle uma izakhamuzi zishintsha indlela eziziphatha ngayo. Uthi amaphesenti angaphezu kwangama-70 ezitamkoko ezivuzayo, kungumphumela wezinto ezilahlwa khona okungamaphephandaba, izidwedwe, ukudla, izingqamu zikagwayi, oplastiki, upende, ama-cotton buds kanye nokunye okuningi. “ Ngakho-ke sinxusa izakhamizi ukuthi ziyeke ukusebenzisa amaphephandaba ezindlini zangasese, zinqande ukulahlwa kwezinto ezifana namaqakelo, amakhondomu, amanabukeni kanye namafutha ngoba kukhinyabeza ingqalasizinda. Lezi yizona zonke izinto ithimba lethu elihlala lizifica uma beyogeqa isitamukoko esivuzayo,” kusho uMnuz

Mohammed Dildar iTheku njengamanje libhekene nezingqinamba eziningi uma kukhulunywa ngokuvuza kwamanzi kanye nokuqhuma kwezitamkoko. Umnuz Mohammed Dildar uthi kwesinye isikhathi bathi beqeda ukusigeqa isitamkoko kungakapheli ngisho izinsuku ezingaki sibuye siqhume futhi ngenxa yengcindezi yezinto ezifakwa ezindlini zangasese. Unxuse izakhamizi ukuthi nazo zidlale indima yazo ekulweni nalesihlava okanye lesimo sizoqhubeka nokunomthelela omubi ekulethweni kwezidingongqangi kuloMasipala. Oyisakhamisi sasemjondolo yaKwaMathambo uMnuz Thembisa Mjoko uthi ukuqhuma kwezitamkoko enye yezinkinga ababhekana nayo nsukuzonke emjondolo ngenxa yesibalo esiphezulu sabantu abahlala khona. Uthi nakuba kunjalo bayaqhubeka nokuzibika ukuze uMasipala ezokwazi ukuzigeqa. “Inkinga abantu abafuni ukuzwa, uMasipala unezinhlelo la abantu befundiswa khona ukuthi yini okungamele bayisebenzise ezindlini zangasese kodwa abezwa. Abanye baye bathule ngisho besibona isitamkoko sivuza bangabiki ngoba bethi asikho eduze kwabo noma abantu,” kusho uMnuz Mjoko. UNksz Zakithi Nxumalo ohlala emijondolo yase Kenville uthi bekunesitamkoko ebesiqhumumile endaweni nobese sidonsela enyangeni kodwa sigcine silungisiwe. UNksz Nxumalo uthi lesitamkoko besingaqali ukuqhuma njengoba bese siqhuma okwesithathu enyangeni eyodwa. Uthi nakuba engasazi isizathu sokuqhuma njalo kwezitamkoko kodwa uyacela ukuba abantu bakugweme ukugxisha noma yini ezitamkokweni. UMnuz Mohammed Dildar ukuqinisekisile ukuthi bebengaqali ukugeqa lesitamkoko.

Izikhulu zikhuculule ibhishi

Esithombeni: IMeya yeTheku uKhansela Mxolisi Kaunda, uSomlomo weSishayamthetho sesifundazwe uNkzs Ntobeko Boyce kanye namakhansela behlanza ibhishi NOKULUNGA MAJOLA NJENGOBA kubhekwe esikhathini samaholidi, idolobha iTheku ligqugquzela inhlanzeko kanye nokunakekelwa kwemvelo. Lokhu kuvele ngenkathi izikhulu zikahulumeni ebeziphume ngobuningi bazo zikhuculule ibhishi lase Thekwini i-Blue Lagoon. Phakathi kwezikhulu ebeziyingxenye yalokhu kuhlanza kubalwa uSomlomo weSishayamthetho saKwaZulu-Natal uNks Ntobeko Boyce kanye nemeya yase Thekwini uKhansela Mxolisi Kaunda, amakhansela angaphansi kukaMasipala weTheku kanye nezikhulu ezah-

lukene zika masipala. “Kubalulekile ukuthi imvelo igcinwe iphephile, futhi ihlanzekile. Lokho ngeke kugcine ngokuyiphephisa, kodwa kuzobuye kuhehe nabatshalizimali ngoba wonke umuntu uyayithanda indawo ehlanzekile, okuyothi uma bebona ukuthi izindawo ezisondelene nolwandle kanye namachweba ethu angcolile, babaleke ngezinyawo zombili. Njengoba izwe lizimisele ngokudlondlobalisa umnotho walo ngezasolwandle nje, kumele siqiniseke ukuthi akukho okuzophazamisa lokho,” kusho imeya yeTheku uKhansela Mxolisi Kaunda. Uthe idolobha lase Thekwini lizimisele ngokudlondlobalisa umnotho njengoba ukufika kobhubhane i-coronavirus kwathikameza ukukhula komnotho. UKaunda uveze ukuthi iTheku lizibophezele ukubeka impilo yezakhamuzi phambili ngaso sonke isikhathi, ngakho kuzotshalwa amaphoyisa ezindaweni ezehlukene ukuqinisekisa ukuthi izakhamuzi zilandela yonke imithetho ebekiwe. “Abantu bayazi ukuthi ukungcola nokulahlwa kukadoti noma ikuphi akukuhle, kodwa abazi ukuthi kujule kangakanani. Abaningi bazitshela ukuthi kumele kuze kulahlwe izinto ezinkulu ukuze udoti uzoba mningi, kanti akunjalo, ngisho namaphepha oswidi nawo adlala indima enkulu kulokhu, yingakho kumele kuqiniswe kulemikhankaso efana nalena ukuze abantu abaningi bezocabanga kabili ngaphambi kokungcolisa imvelo,” esho. UKaunda uphethe ngokuthi agqugquzele izakhamizi ezizohambela olwandle ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi kanye noNcibijane ukuthi bagcine amabhishi aseThekwini ehlanzekile, bangalahli udoti noma ikanjani baphinde balandele yonke imigomo ebekiwe kathaqa.

ITheku nohlelo lokulwa nobugebengu nezidakamizwa emphakathini

Esithombeni: Abayingxenye yohlelo lwezokuphepha kanye nokulwa nezidakamizwa ngaphansi koMasipala weTheku NOKULUNGA MAJOLA NJENGENGXENYE yemizamo yokugcina idolobha iTheku liphephile, uMasipala weTheku ngaphansi komnyango we Safer Cities uthule amakomidi ezokuphepha komphakathi kanye nazokulwa nezidakamizwa eMoses Mabhida eThekwini. Lamakomidi athulwe nguNgqongqoshe wezokuThutha, ukuPhepha komPhakathi nokuXhumana uMnuz Bheki Ntuli ngokuhlanganyela noNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi uNksz Nonhlanhla Khoza kanye neMeya yeTheku uKhansela Mxolisi Kaunda.

Lamakomidi azosebenza kuwo wonke amawadi angaphansi koMasipala weTheku ayi-110 Ukwethulwa kwalezi zinhlaka kuthathwa ‘njengokusemqoka’, njengoba kuzoqinisa ukusebenzisana nokulwa nobugebengu kuMasipala waseThekwini nowaziwa njengonamazinga aphezulu ezenzo zobugebengu ezindaweni ezinjengeNanda naseMlazi. Leziteshi zikweziyishumi eziphezulu ezweni ezinezigameko eziningi zokubulala eziteshini ngokwezibalo zango-2019/2020. Isiteshi saseNanda siphinde saba nesibalo esiphezulu samacala okuhlukumeza ngokocansi ezweni. Ngokusho kukaMasipala weTheku,

Lezi zinhlaka zizoba ngamehlo nezindlebe zikahulumeni emphakathini. Uthi lokhu futhi kuzoqinisekisa ukuthi uhulumeni ubamba iqhaza eliqinile nelibambekayo ekuqhamukeni nezisombululo zokuphepha. Ngokusho kweMeya yeTheku uMnuz Kaunda lolu hlelo lwenzelwe ukuthi amawadi akwazi ukusungula izindlela zawo zokulwa nobugebengu ezibhekana nobugebengu obuthile obuthinta izindawo abahlala kuzo. Uthe into enhle ngaloluhlelo ukuthi lube semawadini ukuthi luvumela imiphakathi ukuthi ikwazi ukubona izingqinamba zokuphepha futhi uqhamuke nezindlela zokusebenzisana ezihlangabezana nezidingo zomphakathi othile. “Esifundeni ngasinye esivotayo, ubugebengu buyehluka noma ngabe kungokwebiwa kwemfuyo emphakathini owodwa nezidakamizwa ezithinta indawo engomakhelwane kanti kwezinye izigceme ukudlwengulwa kuyinto ekhathazayo. Lokhu kudinga imizamo ebumbene evela kubo bonke ababambiqhaza ukunqoba lesi sihlava sobugebengu, ”kusho iMeya uKaunda. Isithangami sokuphepha komphakathi waseThekwini sihlose ukwakha imiphakathi ephephile futhi kulindeleke ukuthi siqale ukuqeqeshwa kungekudala. IMeya uKaunda uthe bazosebenzisa ulwazi

KONKE KUSEZANDLENI ZAKHO

Ukulwisana nesifo iCovid-19

GEZA IZANDLA NOMA UFAKE ISIBULALIMAGCIWANE • DLALA INDIMA YAKHO • UHLALE UPHEPHILE.

lwamaphoyisa lapho bezoqeqesha khona ababambe iqhaza.“Ukulwa nobugebengu akukona nje ukuthi amaphoyisa abopha izigebengu, kumayelana nokubhekana nezinkinga zomnotho womphakathi. Sidinga ukubambisana ukuze sinqobe le mpi. Sidinga izinhlaka zezemidlalo nezokungcebeleka ukuze siyinqobe lempi yezidakamizwa. Amahholo omphakathi nawo kumele asetshenziselwe imisebenzi yobuciko namasiko, ”kusho iMeya uKaunda. UNgqongqoshe uNtuli uthe lezi zinhlaka kuzoba ngamehlo nezindlebe zikahulumeni emphabathini. UNgqongqoshe uKhoza uthe ufisa usuku lapho abesifazane bezohamba ngokukhululeka emgwaqweni, wathi ukusebenzisana okunjengalezi nhlaka kubalulekile ekuhlanganiseni imithetho kamasipala ezothumela umyalezo oqinile ezigebengwini. UMnuz Zakhele Mnomiya ohlala eMlazi uthi uyathemba ukuthi loluhlelo luzokwenza umehluko ekulweni nobugebengu ikakhulukazi emalokoshini. “Ubugebengu budlangile abantu babanjwa inkunzi uthole ukuthi umphakathi uyazi ukuthi obani abenza ubugebengu kodwa bangasho lutho,” kusho uMnuz Mnomiya. Unxuse ukuthi kube nokubambisana kanye namaphoyisa noMasipala ukuze loluhlelo luphumelele.

NGOKUBAMBISANA SINGAYINQOBA

I CORONAVIRUS


IKHASI 6

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Othisha abangabesifazane baKwaZulu-Natal baduduzane ngamabizelo abo

UMBHISHOBHI Gugu Jele obehlele umkhuleko wothisha obuseMgungundlovu TSEPO MOTLOKOA OTHISHA abangabesifazane bezikole zaKwaZulu-Natal baqinisane idolo ngokunikezana isibindi sokubekezela emsebenzini wamabizelo abo abakhala ngokuthi ukufundisa kubucayi kulezinsuku njengoba sekuye kubulawe uthisha esemagcekeni esikole. Labothisha bebehlangene eMgungundlovu bezonxusa amandla kuMdali okumelana nazo zonke izingqinamba abahlangabezana nazo nsuku zonke emsebenzini wabo ezinye abathi zibashiya behlalele ovalweni ngempilo yabo. Phakathi kwabathi kuyabakhathaza osekubenza babe manqika ngomkhakha abangena kuwona nguvalo lokusaba ngokuzibona bengavikelekile ngokwanele ebugebengwini uma besemsebenzini nezingane osekunzima ukuziqonda ukuthi zingabafundi kumbe yimidlwembe. Bathi neCOVID-19 beyibacindezele ngokubenza bangakhululeki njengoba bephoqelekile ukuba phakathi kwezingane ngaso sonke isikhathi bese ntambama bebuyela emindenini yabo

bengazi noma sebesulelekile kumbe lezi ngane abazifundisayo kabakazisuleli yini ngegciwane. UMbhishobhi Gugu Jele waseGreytown onguthisha waseCopesville Secondary School eMgungundlovu onguyena obehlele umkhuleko wothisha uthe kunezingqinamba ezikhungethe ozakwabo emsebenzini wabo ababone kukuhle ukuhlangana ndawonye balekelelane ngokuthulisana imithwalo abayithwele emsebenzini. “Singothisha sisebenza phansi kwesimo esinzima kulezi nsuku osekwenze umsebenzi wethu sawuthatha njengobucayi osekufanele nathi sivikelwe ngokwanele uma sisemagcekeni ezikole. Siwuthola unzima umsebenzi wethu kulezi nsuku njengoba sekuphuma izidumbu ngaphakathi ezindaweni zokusebenzela. Kunozakwethu asebephila novalo lokusaba asebelimisa ngembaba elokuthi izicathulo abazigqokile ziyabaqina sebefisa ukushiya phansi. Ngalokhu kuhlangana kwethu singothisha sizobika kuMdali simnxusa ukuba makasivikele ngoba nathi sikwelinye lamabizelo akhe okuhlumelelisa isimilo sengane isencane. Sikhule sazi ukuthi isikole yindawo ehlonishwayo kodwa kulezi nsuku sibona sekuyindawo yokwenza ubugebengu obuhlukumeza ingane ngokubona kubulawa uthisha wayo phambi kwayo. Uma singawudikila lo msebenzi singaba yisizwe esinjani?” kubuza uMbhishobhi Jele. UNkk Linda Ngcongo we-Teaching and Learning Support Services eMnyangweni wezeMfundo KwaZulu-Natal uphonse itshe esivivaneni ngokunxusa ukubambisana phakathi kwengane, umzali nothisha ukuze kwakhiwe ikusasa eliqhakazile.

NOVEMBA /DISEMBA 2020

Iqembu le-accapela libonga uMasipala

ABADUMISI beVangeli ababonga uMkhandlu weTheku njengoba begcine benqobe kumqhudelwano ohlelwe wuMkhandlu. MAGAYE CELE LIBONGA uMkhandlu weTheku, iqembu le-Accapela, Abadumisi beVangeli elibe yizingqwele emncintiswaneni, i-EThekwini Gospel Icon Discovery. Lezi zindaba zivezwe ngumsunguli weqembu, uSphamandla Mkhize, obenenkulumo ekhethekile naleli phephandaba. Ngokuhlabana kwaleli qembu kulo mncintiswano oxhaswe uMasipala weTheku. Likhale lemuka nesizumbulu semali esingu-R100 000 kanye nesivumelwano sokuqopha bhusende ngaphezulu. “Siyabonga kakhulu kuMkhandlu weTheku. Ukugxila kwawo ekufukuleni amakhono abaculi abasathuthuka ngikholwa ukuthi sekusize abaculi abaningi kakhulu eThekwini namaphethelo. Nathi sesihlomule ngemali ezosisiza kakhulu ekutheni sikwazi ukuqhuba imisebenzi yeqembu emqoka,” kuchaza uSphamandla okunguyena umsunguli waleli qembu. Eqhuba uveze ukuthi kuke kwafika izikhathi ezinzima kakhulu baze bacabanga nokuthi ke bashenxe emculweni. Kodwa uthi baqhubeka bayibamba ishisa. Uthi bayabonga kakhulu kuMkhandlu weTheku njengoba ukubekezela kwabo sekugcine kuthele izithelo ekugcineni. Echaza uthe: “Angifuni ukuqamba amanga kuke kwaba nesikhathi lapho esibona khona ukuthi

ayikho lento yethu yokucula. Impela kwase kunzima kakhulu. Ziningi kakhulu izingqinamba esidlule kuzona ebudeni bendlela. Saze saqamba iculo elithi baba sixolele ngoba saze sicabanga ukuthi mhlawumpe yithina esonile njengoba singaphumeleli emculweni.” Eqhuba ube esebaqinisa idolo bonke abanye abaculi abeza ngemva kwabo abanentshisekelo yokungena emculweni. “Okumele bakwazi ukuthi emculweni kuyabekezelwa. Kumele ube ngumuntu onesineke. Izinto angeke zivele zenzeke nje ngokuthanda kwakho. Konke kunesikhathi sakho,” usho kanje. Uchaze iqembu labo njengeligxile kakhulu ekulapheni imiphefumulo yabantu lisebenzisa umculo. Wathi kuyisibopho sabo ukusebenzisa umculo njengethulusi lokuphilisa abantu ngaso sonke isikhathi. Uthe ukuba khona kulo mncintiswano kubenze bathola ingqayizivele yethuba lokufunda kubaculi abaziwayo, kubona abulule, uMelusi Mbokazi, Dumi Mkokstad, Mthunzi Namba, Ga Ndlela nabanye. Abadumi Bevangeli sekuphele iminyaka engu-9 baba khona, basungulwa ngo2012. Babunjwe ngabafana abangu-13 abasuka eminyakeni engu-15 kuya ku-29. Basungulwele ePinetown, entshonalanga yeTheku.

Izinyane leMbube likhuthaza ukuthuthuka kwabeSantaco KwaZulu-Natal

TSEPO MOTLOKOA

IZINYANE leMbube uMntwana uNhlanganiso Zulu likhuthaza abemboni yamatekisi iSantaco KwaZulu-Natal ukuziqalela amabhizinisi abo azolekelela le mboni njengokuthi babe namagalaji kaphethiloli nama-spares lapho beziodayiselana bodwa izinsimbi zezimoto zabo. UMntwana uNhlakanipho ukhthaze kanje abeSantaco emhlanganweni obuholwa nguSihlalo wayo le nhlangano KwaZulu-Natal uMnu Boy Zondi ephelezelwa ngozihlalo bezifunda. UMntwana uNhlanganiso uthe ukusho lokhu ngoba ufuna okungenani kube nomlando ogqamayo wokuthi enye yezimboni zabantu abamnyama iyaphila kungabi ngukuthi bathembela ekuthengeni izimoto kuphela kodwa ukuzilungisa baya kwabezinye izinhlanga. Okunye aqinise kukhona kakhulu uMntwana uNhlakanipho ngukuqikelela ukuzinakekela ngokwempilo kubantu. “Ngicela kwiSantaco inginikeze imvume yokuhambela amarenki kusona sonke isifundazwe sakithi ngizokhuluma nabashayeli sifundisane ngomsebenzi wendoda ngoba abanye bazi ukuthi indoda

UMNTWANA uNhlanganiso Zulu ekhuluma e-Ritief Street Taxi Rank eMatsheni eMgungundlovu. yindoda ngamalengiso kanti lokho kukodwa kakuphelele. Ngikholwa ngukuthi uma kuqiniswa umkhankaso wokuthanda

impilo kubashayeli isizwe samaZulu singaba ngesiphilileyo. Ngifuna ukukhuluma nabashayeli bamatekisi ngoba ngiyabath-

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

emba ukuthi singawenza kahle umsebenzi wezempilo ngokubambisana nabo njengoba besondelene kakhulu nabantu ngakho kungaba lula ukuba ngumlomo kahulumeni ekuqinisekiseni impilo enhle,” kubeka uMntwana uNhlanganiso. UMnu Zondi ekhuluma ngokuthuthukiswa kohlelo lokuthuthwa kwabantu ubonge uhlelo lwabo lukaHlokomela athi liwenzile umehluko ngokunikeza isithunzi esihloniphekile umgibeli. “Selokhu sakhipha uHlukomela ukuba uye ngqo emigwaqweni kasikaze sithole izikhalo zokugitsheliswa kwabagibeli baze beqe isibalo esivumelekile. Osekusikhathaza manje ngukushayeliswa kabi kwabashayeli bethu njengoba ezingozini ezimbili ezinyantisa igazi ezenzeke KwaNongoma naseWatrburg kuyavela ukuthi abashayeli bethu kabenzanga lutho oluyiphutha ngamaloli asuka emizileni yawo atholana phezulu nalamatekisi kwafa abantu. Siyanxusa kubashayeli ukuba mababekezele emgaqweni ngoba ukuba nezinhliziyo ezingaphandle kushiya imizi eminingi ivaliwe. Siyakhalisana nemindeni eshonelwa ngamalungu ayo esezimotweni zethu njengoba nakithina kuba buhlungu,” kusho uMnu Zondi.


NOVEMBA /DISEMBA 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

UNgqongqoshe uthule ngokusemthethweni uhlelo kwisifunda iLembe

UNGQONGQOSHE wezokuBusa nokuBambisana Kanye nezomDabu kuzwelonke, uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma obehambele iLembe ngenhloso yokuyokwethula uhlelo iDistrict Development Model (DDM). MAGAYE CELE LWETHULWE ngokusemththweni uhlelo okuhloswe ngalo ukuthuthukisa iziFunda, olubizwa ngokuthi yiDistrict Development Model (DDM). Kulokhu belwethulwa kwisiFunda, iLembe esingezinye seziFunda esibe nenhlanhla yokuba sinikezelwe ngalolu hlelo oseluchazwe njengolumqoka kakhulu. UNgqongqoshe weZokuBusa, uKubambambisaana kanye nezoMdabu eNingizimu Afrika, uNkosazana Dlamini-Zuma nguye olwethule ngokusemthethweni lolu hlelo kumalunga omphakathi kwisiFunda, iLembe. Uchaze lolu hlelo

njengolumqoka kakhulu. Uthe kuhloswe kakhulu ngalo ukuqinisekisa ukuthuthuka kweziFunda ngezindlela ezahlukene. Uthe kumqoka kakhulu ukuba zonke iziFunda zibonakale zidlondlobala emikhakheni ehlukene. Uthe kulokoza inhlansi yethemba ngokuthela izithelo kwalolu hlelo. Echaza uthe: “Siyathemba ukuthi lolu hlelo luzokwenza umehluko omkhulu kakhulu kubantu beLembe. Inhloso yethu enkulu sifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi lolu hlelo luletha uguquko olubonakalayo ngokushesha. Siyethemba ukuthi lokhu esikufisayo kuzokwenzeka.” Ukhulume nangokubaluleka kokuba

izidingongqangi zabantu kuqinisekiswe ukuthi zifinyelela ngokuphazima kweso kumphakathi. Uthe izidingo ngezinye zezinto ezimqoka kakhulu kubantu. Wathi yingakho nje benguhulumeni bekubeka eqhulwini njalo nje ukubaluleka kokunikezela ngosizo lwezidingo kubantu. Mayelana nabantu abasha uthe kumqoka kakhulu ukuba babonakale beba nesandla ekufukulweni komnotho weLembe. Uthe kumqoka ukuba intsha yeLembe ingazitheli ngabandayo kodwa kunalokho ibhukule ibonakale yenza konke okusemandleni ayo ngenhloso yokuphila impilo engcono. Uthe bagqugquzela ukuthi abantu abasha bafunde bagogode bangagcini lapho bazibandakaye nezamabhizinisi ikakhulukazi labo abanentshisekelo yokungena kuwona amabhizinisi. Nabantu besifazane nabo uthe akufanele nangephutha ukuba bashiywe ngaphandle uma kukhulunywa ngezinhlelo ezijulile nezihlabahlosile zokuthuthukiswa kweziFunda. Uthe abantu besifazane bangumgogodla weNingizimu Afrika. Wathi ngenxa yaleso sizathu kumqoka ukuba nayo imbokodo ibonakale idlondlobala emikhakheni eyahlukene yempilo, okubandakanya ezamabhizinisi. “Eqinisweni nje abantu besifazane yibona abaletha ukukhanya ezweni lethu. Ngakho ke kumqoka ukuba singalenzi iphutha lokuba sibavalele ngaphandle ezinhlelwe zokuthuthukiswa kweziFunda,”usho kanje. Amalunga omphakathi weLembe ezwakalise ukuleseka kakhulu lolo hlelo.

Abazalwane bakhuthazwe ngokuthandana ebandleni

ABAZALWANE baseSheshi nabezithuthuthu abebeyingxenye yokuvulwa kwendlu eyakhelwe umndeni wakwaRadebe eZingolweni. TSEPO MOTLOKOA UMFUNDISI waseSheshi unxuse abazalwane ebandleni ukuba mabazane ngenhlalo yabo bangenelele lapho benamandla khona balekelelane bafakazele isiqubulo sokuthanda umphakathi esiqhutshwa yiDayosisi yaseNatal ebandleni laseSheshi eNingizimu Afrika. Uthe ukhathazwa ngubuphofu nempilo engenhle ephilwa ngabazalwane bebandla alelusile athi abanye bavela bebahle uma beze enkonzweni kanti lapho behlala khona kushayisa amahloni ngenxa yokuntula. Abazalwane baseZingolweni Anglican Parish ngaphansi kobuholi buka Mfundisi

Sbonelo Khumalo waseMzimkhulwana Archdeaconry owenganyelwe ngu-Archdeacon Mzomuhle Zondi bavulele uNkk Gladys Radebe isakhiwo sendlu eyakhiwe ngabazalwane besizwa ngezinye izinhlangano. UMfundisi Khumalo ongumvusi wenyamazane lapha uthe ngesikhathi kuvalwe izwe kubheduke iCOVID-19 uhlele ukuhambela abazalwane abelusile eZingolweni eyobabheka ukuthi baphila kanjani. “Ngifike emndenini wakwaRadebe ngachiphiza izinyembezi ngibona isimo sendlu obuhlala kuyona. Ngitshelwe ukuthi kwayona le ndlu iqashiwe akusiyona yawo. UNkk Radebe oyiMother’s Union ebandleni ungichazele lonke usizi

akhule phansi kwalo kusukela eneminyaka engu-8 kuze kube manje. Ngithungele induku ebandla ebandleni ukuze kugcine kusizakale abakwaRadebe. Ngixhumane noMfundisi Mzo Sibiya oseMgungundlovu ongumsunguli we-Fast Lane Foundation ngicela asilekelele. Naye ube esesondeza Amadlelandawonye Bikers wenzeka kalula umsebenzi sagcina sithole isiza sakhela abakwaRadebe indlu enamagumbi amabili,” usho kanje. UMnu Sifiso ‘Findo’ Magalela onguSihlalo weZinyosi MCC zaseZululand okhulumela Amadlelandawonye okuwumfelandawonye wama-club abezithuthuthu KwaZulu-Natal uthe kabanamali esezikhwameni kodwa bafisa ukuthi lapho bekhona balekelele abantu. “Uma sibone udaba olusithintayo siyahlangana kuleyo ndawonye bese silufaka kuMadlelandawonye sinxuse abafowethu basilekelele. Nalapha ezingolweni ngithintwe nguMfundisi Sibiya, ngalendlala udaba kozakwethu sabe sesilula isandla,” ubeke kanje. UNkk Radebe ubonge ibandla lakhe laseSheshi nabezithuthuthu ngabamenzele khona njengoba ethi bamubangule iva leminyaka ebelilokhu limhlalise kabi nomndeni wakhe anamalungu angu-8 kuhlangene nabazukulu abanye babo abahlalise ezihlobeni ngenxa yobuncane bendlu ahlala kuyona.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 7

SIVUBELA Intuthuko ITHIMBA LEPHEPHA >> UMHLELI MAKHOSI MNGOMA makhosi@sivubelaintuthuko.co.za 083 618 4252

NOKULUNGA MAJOLA Info@sivubelaintuthuko.co.za 072 1792 255

>> INTATHELI YEZEMIDLALO THABANI MAPHUMULO trmaphumulo@gmail.com 063 278 3658

>> GRAPHIC DESIGNER AND LAYOUT LINDA MAZIBUKO trusouth1@gmail.com 076 4847 269

SANELISIWE NGEMA Info@sivubelaintuthuko.co.za 067 920 8446 MAGAYE CELE info@sivubelaintuthuko.co.za 067 920 8446 TSEPO MOTLOKOA info@sivubelaintuthuko.co.za 067 920 8446 IWEBSITE YETHU www.sivubelaintuthuko.co.za sivubela intuthuko @sivubela intuthuko sivubelaintuthuko B 33 Ten Acre Thembeni Groutville, P.O Box 4473, Stanger 4450, 270 Stamford Hill Road Unit 1 Morningside, Durban, 4000 UMA UFUNA UKUKHANGISA KULELIPHEPHANDABA , SHAYELA 067 920 8446 / 083 618 4252


IKHASI 8

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

NOVEMBA /DISEMBA 2020

Sivubela Intuthuko

EZEMIDLALO

uTsutsulupa uthi akanikwe ithuba umqeqeshi

ULefa Tsutsulupa owayegijima kuSwallows uthi umqeqeshi akanikwe ithuba. THABANI MAPHUMULO INKAKHA eke yagijima kuMoroka Swallows yaphinde yaba ngukaputeni kuleli qembu elinomlando uLefa Tsutsulupa uzwakalise ukujabula ngokubona ushintsho olwenziwe abaphathi abasha kuleli qembu. IziNyoni ezisanda kukhuza ibuya esigabeni seDstv Premiership ziqale isizini ngegiya eliphezulu njengoba zikwazile ukuqoqa amaphuzu ayisikhombisa kwimidlalo emithathu. UTsutsulupa oyinxusa lomqhudelwano iMTN 8 ungo-

munye wabadlali asebake bayiphakamisa lendebe.“Ziyajabulisa izinguquko eqenjini elifana neSwallows, ngifisa ukuncoma abaphathi kuleli qembu ngiyathemba lizokwazi nokuzinza lingabalwa namaqembu avika izembe. ISwallows iqale Kahle kakhulu njengoba ikwazile ukuqoqa amaphuzu ayisikhombisa kwimidlalo emithathu,” kusho Tsutsulupa. Leli qembu elidle umhlanganiso esigabeni seGladAfrica Championship lisayinise inqwaba yabadlali abasezingeni okuhlanganisa Sifiso Hlanti, Musa Nyatama, Keagan Ritchie, Sammy Seabi, Thela Ngobeni kanye nabanye abaningi. “Nakuba leli qembu liqale Kahle kodwa kumele umqeqeshi anikwe ithuba ngoba ungumqeqeshi okhombisa ukuba nobuhlakani. Kusasekuseni ukuqagula ukuthi iqembu lizoqeda likuphi ngokuphela kwesizini kodwa kumele umqeqeshi anikwe ithuba,” kusho Tsutsulupa. Leli qembu eliqeqeshwa uBrandon Truter kuzokhumbuleka ukuthi leli qembu lingaphansi kobuholi obusha obuhlanganisa uPanyaza Lesufi noDavid Mogashoa onguSihlalo waleli qembu.

Inkakha ibona iBucs isethubeni lesicoco

uJoseph “Dukuduku”Makhanya owagijima kuBucs uyibona isethubeni lokunqoba isicoco THABANI MAPHUMULO UBHEKWE ngabomvu umdlalo wezinkunzi zaseSoweto iKaizer Chiefs kanye ne-Orlando Pirates kumqhudelwano weMTN 8 .Umdlalo wolenze wokuqala uzodlalelwa e-Orlando Stadium ngoMgqibelo ngehora lesi-15h00 ntambama. Lamaqembu azoya kulomdlalo ezimisele kwazise afuna

ukuqeda isomiso sezindebe njengoba eseqede iminyaka engaphezulu kwemihlanu enganqobi lutho. IChiefs kumlenze wesibili izokwamukela iBucs enkundleni iFNB Stadium ngomhla zi-08 kuLwezi. Okuzobe kuqala ukwenzeka ukuthi lezinkunzi azikaze zidlalo lomdlalo bengekho abalandeli, kanti lokhu kungenxa yobhubhane oluhlasele lweCorona Virus. Amanye amaqembu azobe egadulisana ahlanganisa ompetha abavikela isicoco okuyiSupersort United ezovakashelwa iBloemfontein Celtic ngeSonto eLucas Moripe Stadium. Ngesizini ephelile Amantsatsatsa ahlule iHighlands Park ngegoli elilodwa eqaleni kowamanqamu akhala emuka nesamba semali eyizi-R8 million yezigidi zamarandi. Yonke lemidlalo izodlalwa ngaphandle kwabalandeli ngenxa yokugwema ukusabalala kwegciwane iCorona Virus. iPirates isayinise inqwaba yabadlali ukuqinisa iqembu layo, Kanti ngakolunye uhlangothi izimbangi iChiefs angeke zikwazi ukusayina abadlali njengoba zihlawuliswe iFIFA ekusayiniseni abadlali.

Bancoma impumelelo ye-2020 Chief Albert Luthuli Football Tournament

USodolobha wakwaDukuza Dolly Govender enikekezela nge jezi le 2020 Chief Albert Luthuli Football Tournament. TSEPO MOTLOKOA KUBONGWA ukuhamba ngempumelelo kwe-2020 Chief Albert Luthuli Football Tournament obekuwumdlala kanobhutshuzwayo obuhlelwe ngaphansi kohlelo lokuhlonipha enye yezingqalabutho ze-African National Congress (ANC) iNkosi Albert Luthuli ongasekho. Lomdlalo bewugijiyelwa ezinkundleni zezemidlalo zaseStanger High School KwaDukuza ngaphansi kwesiqubulo ebesithi ‘Celebrating 60th anniversary-Chief Albert Luthuli Nobel Peace Laureate’ obekubungazwa iminyaka engu-60 le ngqalabutho yahlonishwa

ngale ndondo yokuzinikela ekudaleni ukuthula. Abahleli abebehamba phambili kulo mdlalo bekuyiLuthuli Museum ngokubambisana noMnyango wezeMidlalo nezokuNgcebeleka KwaZulu-Natal, uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, iLembe District Mnunicipality, uMasipala waKwaDukuza neSouth African Football Assaociation (SAFA) KwaZulu-Natal. Beziqinisekisiwe ezokuphepha njengoba beyigciniwe yonke imiyalo yeCOVID-19 njengoba bewungenazibukeli. Bekuqhathwe amaqembu awu-12 abegijima ezinkundleni ezihlukene imizuzu engu-25. Amaqembu abegadulisana lapha yiNdlu Yamandla, CBD Warriors, Nkomongo ne-More Fire namanye. INkomongo ikhale yemuka nesicoco emuva kokuguqisa i-More Fire ngo 1-0. Indlu Yamandla ilale isithathu kulo mqhudelwano. I-Chief Albert Luthuli Tournament eminyakeni edlulile bekuhloswe ngayo ukukhulisa abafana baka-Under 15 abagijima ngaphansi komqhudelwano woMnyango wezeMidlalo nezokuNgcebeleka kodwa nonyaka kabalibambanga iqhaza kulo mqhudelwano ngenxa yokubheduka kweCOVID-19 okwenze kwagcina sekunikezwa abakhulile ukugijima kule-tournament.

uSuthu luchaza ngabadlali abalimele

Umgadli woSuthu osalimele uBonginkosi Ntuli THABANI MAPHUMULO LOWO obhekelele ukuxilonga abadlali eqenjini AmaZulu FC uRyan Coert uchaza ngesimo sabadlali abalimele kuleli qembu okuhlanganisa umgadli uBongin-

kosi Ntuli , noSphesihle Maduna. Laba badlali basabheke ukuthi badlale imidlalo yabo njengoba kuqale iDstv Premiership.“UNtuli noMaduna bathole ukulimala ezinyaweni zabo zobunxele njengoba bechacheke ithambo ngasonyaweni lwesinxele bobabili ,” kusho Covert.“Okwamanje sisebenzisa umshini obizwa nge-Osteotron ozosiza ukuthi basheshe balulame lapho bechacheke khona ithambo. “Njalo ngeviki siyaqinisekisa sibayisa ku-Xray ukubheka isimo, uNtuli ukhombisa ukululama futhi siyathemba ngeviki elizayo uzobe eseluleme. “UMaduna naye uthole ukulimala okufanayo nokwaNtuli emva kwesikhashana naye uzolandela imigomo efanayo kuze Kube uyalulama. Bobabili bazoqala ukuzilolonga ngemishini ngaphambi kokuba bangene enkundleni, “ kusho Coert. Omunye wabadlali onokuthinteka ethangeni uSiphiwe Tshabalala nokulindeleke ukuthi alulame maduzane njengoba esabheke ukudlala umdlalo wakhe wokuqala oSuthwini.

031 828 0433 / 082 597 6669

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.