Sivubela Intuthuko Newspaper

Page 1

SIVUBELA Intuthuko

ADVERTISING: 067 920 8446 NOVEMBA 2020

Intsha yaseMgungundlovu izocijwa ngomkhakha wezamafilimu

iKhasi 6

FACEBOOK: SIVUBELA INTUTHUKO

LIMAHHALA

SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

UNgqongqoshe uvule ngokusemthe thweni ibhuloho lezimoto

iKhasi 2

USHICILELO 54

uMasipala usuzibophezele ukuqeqesha abashayeli

iKhasi 5

Usizi iChiefs ichithwa yinkantolo yabadlali

iKhasi 8

Inkampani ithembisa ukufukula umnotho kuMasipala udaba ekhasini 3.

OSESITHOMBENI :nguMnu Sthandiwe Mkhize weThinking Pair Group ezosebenzisana noMkhandlu weTheku ekufukuleni umnotho weDolobha

Usizi phezu kolunye emndenini udaba ekhasini 2.

KONKE KUSEZANDLENI ZAKHO

Ukulwisana nesifo iCovid-19

GCINA IBANGA ELINGU 1.5M KUYA 2M • DLALA INDIMA YAKHO • UHLALE UPHEPHILE

NGOKUBAMBISANA SINGAYINQOBA

I CORONAVIRUS


IKHASI 2

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

NOVEMBA 2020

UMasipala uhlomulise abantu abasha ngezincwadi

Bebejabule abantu abasha ngesikhathi umasipala bebahlinzeka ngezincwadi zokushayela MAGAYE CELE LUBUKEKA luthela izithelo ezinhle kakhulu uhlelo olusungulwe nguMkhandlu waseMandeni oholwa nguKhansela

Thabani Mdlalose, lokuhlinzeka ngezincwadi zokushayela abantu abasha bakule ndawo. Lolu hlelo kuvelile ukuthi lo Mkhandlu uhlose ngalo ukuqinisekisa ukuthi bathola umusa wokulekelelwa

benzelwe izincwadi zokushayela abantu abasha bakule ndawo abangakabi nazo izincwadi. Lolu hlelo lo Mkhandlu ulwenza ngokubambisana nabeMalume Driving School. Muva nje bangu-18 abantu abasha baseMandeni abavela ezindaweni ezahlukene abanikezwe izincwadi zabo zokushayela kulona lolu hlelo. Lolu hlelo lokulekelelwa kwabantu abasha ngezincwadi zokushayela uKhansela Mdlalose uluchaze njengolumqoka kakhulu. Wathi akangabazi nje nakancane ukuthi luzothela izithelo lusize abantu abasha abaningi baseMandeni. Ngokusho kwakhe uKhansela Mdlalose bakubeka eqhulwini ukuqinisekisa ukuthi bayanakekelwa abantu abasha baseMandeni ngazo zonke izindleala. Mayelana nalolu hlelo lwezincwadi zokushayela uphawule wathi: “Lokhu kungenye yezindlela zethu njengoMkhandlu waseMandeni esizama ngazo ukuqinisekisa ukuthi siyabafukula abantu abasha bakule ndawo. Njengoba sazi ukuthi sibhekene

UNgqongqoshe uvule ngokusemthethweni ibhuloho lezimoto

nesikhathi esinzima kakhulu sokuntuleka kwemisebenzi, sikholwa wukuthi lolu hlelo ke lwezincwadi zokushayela luzodlala indima enkulu kakhulu ekuqinisekiseni ukuthi abantu abasha baseMandeni bayawathola amathuba emisebenzi. Okungenani ke bakwazi ukuthi bakhande amathuba emisebenzi.” Kuzokhumbuleka ukuthi lo Mkhandlu uvele unezinhlelo ezihlabahlosile ohlose kakhulu ngazo ukufukula abantu abasha bakule ndawo. Abantu abasha bakule ndawo ikakhulukazi labo abahlomulile kulolu hlelo babonge banconcoza kulo Mkhandlu. Iningi labo lithe linethemba lokuthi lezi zincwadi zokushayela zizoba wukhiye omqoka ekuvuleni iminyango yamathuba omsebenzi. Bazawakalise nokugculiseka okokhulu mayena nendlela uMkhandlu waseMandeni oqinisekisa ngayo ukuthi abantu abasha bakule ndawo kabasali ngaphandle ezinhlelweni ezimqoka nezihlabahlosile.

Usizi phezu kolunye emndenini

Umndeni wakwaMthethwa eNhlangenyuke kuWard 11 ngaphansi kwamasipala uMhlathuze udinga usizo lwendlu THABANI MAPHUMULO

Ngqongqoshe wezokuThutha, KwaZulu Natal, uMhlonishwa uBheki Ntuli evula ibhuloho, iNkongolwane Pedestrian eVryheid. MAGAYE CELE UNGQONGQOSHE wezokuThutha kanye nezokuPhepha, esiFundazweni, iKwaZulu Natal, uMhlonishwa uBheki Ntuli usevule ngokusemthethweni ibhuloho labahamba ngezinyawo, iNkongolwane River Pedestrian, eVryheid, enyakatho yeKwaZulu Natal. Lolu hlelo lokuvulwa kwaleli bhuloho luqhutshwa ngaphansi koMkhandlu wabaQulusi. Ukuvulwa kwaleli bhuloho kuyingxenye yomsebenzi omkhulu nomqoka okuhloswe ngawo ukwenza ngcono ingqalasizinda yezokuThutha, KwaZulu Natal. Ukwakhiwa kwaleli bhuloho kuvelile ukuthi kudle imali eshisiwe njengoba ilinganiselwa ku-R2.63 million isiyonke imali esetshenziselwe ukuphothula lo msebenzi omngaka. Kuzokhumbuleka ukuthi lo msebenzi uqalwe ekusombulukeni kukaMay wan-

gonyaka owedlule. Waze waphothulwa ngoSeptember wango-2020. Ngokusho kukaMhlonishwa uNtuli benguHulumeni bakubeka eqhulwini ukubaluleka kokuhlinzekwa komphakathi ngengqalasizinda yezokuThutha. Leli bhuloho uthe luzoba wusizo olukhulu kubantu bomphakathi kanjalo nakubafundi besikole esebezo sebenzisa lona uma befuna ukuwela. “Sekuzoba lula ukuba abafundi bawele bafinyelele kalula esikoleni. Futhi sizoba nesiqiniseko sokuthi bafika bephephile,”usho kanje. Konke lokhu kuqondaniswe no-October okuyinyanga eyahlonzwa njengeyezokuThutha eNingizimu Afrika. Uhlelo lokulungiswa kwengqalasizinda uMhlonishwa uNtuli uthe luzobonakala lusabalala ikakhulukazi ezindaweni ezisemakhaya. Uveze ukuthi inyanga yonke bazobe bematasa beqinisekisa ukuthi imigwaqo

yaKwaZulu Natal isesimweni esifanelekile. Lokhu uthe bakwenza ngoba bahlose ukuqinisekisa ukuthi ziyancipha izibalo zezingozi zezimoto emigwaqeni yaKwaZulu Natal. Uthe: “Sizobe siqhakambisa ukubaluleka kokuphepha emgwaqeni kuyona yonke le nyanga. Sihlose ukwenza isiqiniseko sokuthi ziyehla nakanjani izibalo zezingozi okubikwa ngazo KwaZulu Natal. Nokho angeneme ngokudlula emhlabeni kwabantu abaningi ezingozini ezenzeke emasontweni edlule KwaZulu Natal.” Uveze ukuthi bazokwenza konke okusemandleni abo ngenhloso yokwenza ngcono izinga lempilo labantu basemakhaya. Isiqubo salo nyakathi sithi: “Ngokubambisana Sakha ikusasa Elingcono KwezokuThutha.” Ngemuva kwalokho uMhlonishwa uNtuli ube esedlula eyobheka ukuqhubeka komsebenzi omkhulu wokuvuselelwa komgwaqo, uP34/3.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

UMNDENI wakwaMthethwa eNhlangenyuke kuWard 11 ngaphansi kwamasipala uMhlathuze enyakatho nesifundazwe iKwaZulu Natal uhleli osizini njengoba uswele indlu. UMnuz. Mandla Mthethwa uveze usizo lwakwakhe njengoba engasebenzi naye beziphilisa ngemali yesibonelelo sikahulumeni.“Impilo inzima layekhaya indlu esihlala kuyo ingawa noma yinini. Izulu malina siyaphoqeleka ukuthi sivuke sime ngezinyawo ngenxa yokunetha kwendlu,” kusho Mthethwa. Lo mndeni ohlala kwindlu eyakhiwe ngodaka yaphinde yafulelwa ngotshani usunxuse noma ubani ukuba awusize ukuze nawo ukwazi uhlale kwindawo enesithunzi.“Siyafisa ukuthi noma ubani ongaba nozwelo asisize asakhele indlu ukuze nathi sikwazi ukuhlala kwindawo enesithunzi,” esho. UMnuz. Mthethwa ekhuluma nethimba lezindaba le-1kzntv uveze ukuthi sebesale kwaze kwaba amahlandla amane kuhlelo lokwakhiwa kwezindlu zoxhaso lukahulumeni. “Sesisale kwaze kwaba amahlandla amane ukwakhelwa izindlu zoxhaso lukahulumeni njengoba bebefika bakhande isiza kodwa bangaphinde babuye.” kuphetha uMthethwa. Obambile kwezokuxhumana kumasipala uMhlathuze uPercy Thusini ucele ukuthunyelelwa kwemininingwane yomndeni. “Sizothatha iminingwane yemindeni bese sibheka isimo ukuze sidlulisele ezinhlakeni ezifanele,” kusho uThusini.


NOVEMBA 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 3

Inkampani ithembisa ukufukula umnotho kuMasipala MAGAYE CELE

OSESITHOMBENI :nguMnu Sthandiwe Mkhize weThinking Pair Group ezosebenzisana noMkhandlu weTheku ekufukuleni umnotho weDolobha

UTHEMBISA ukwenza konke okusemandleni akhe ngenhloso yokufukula umnotho weDolobha, iTheku, esebenzisa ezokuVakasha, uMnu Sthandiwe Mkhize weThinking Pair Group osanda kuqokwa nguMkhandlu weTheku ukuba asebenzisane nawo ngenhloso yokufukula umnotho weDolobha. UMnu Mkhize ongathuki isisinga kwezokuVakasha ubekade enenkulumo ekhethekile naleli phephandaba.Uthe kulokoza inhlansi yethemba ngokukhula komnotho weTheku okhahlanyezwe wukuvalwa kwezwe ngesikhathi sokudlanga kweCorona. Ukukhanga kwezindawo zasemalokoshini uthe ukholwa wukuthi kungaba yikhambi ekufukulweni komnotho weDolobha,iTheku. UMnu Mkhize oneziqu zeTourisim azizuza eDurban Unirvesity of Technology (DUT) ukusho kwagcwala umlomo ukuthi emalokishini uma kungaqiniswa ekuthuthukisweni kwezindawo zokulala, ezokuNgecebeleka, kulungiswe nezinkundla zeZemidlalo kanye nezobuCiko,lokho uthe kungaheha inqwaba yezivakashi ezivela kuzona zonke iziFundazwe ezingu-9 ezikhona eNingizimu Afrika. Echaza uthe: “Ziningi kakhulu izindawo ezinhle ezikhona emalokishini

ethu. Uma nje singaqinisekisa ukuthi sizilungisa kahle ngendlela ehehayo angingabazi ukuthi zingaba neqhaza ekufukulweni komnotho weTheku. Kumele izindawo zokulala zilungiswe singagcini lapho siphinde siqinisekise nokuthi ezokuphepha ziseqophelweni eliphezulu.” Eqhuba uthe: “Mina ngikholwa wukuthi ezokuVakasha zinomthelela omkhulu kwezoMnotho futhi lokho angikungabazi nje nakancane. Yingakho nje ngifuna ukuqinisekisa ukuthi sifolosa ngezokuVakasha ngenhloso yokufukula umnotho weDolobha.” UMnu Mkhize akasilona iklume kwezokuVakasha kwazise sekuneminyaka eminingi eqhuba lo msebenzi. Amava akhe yiwona aholele ekutheni aze akhethwe abe ngomunye wabaphambili ekuxhumaniseni iNingizimu Afrika namanye amazwe aphesheya kwezilwandle ngazo ezokuVakasha. Yingakho wayebambe iqhaza ekukhangiseni ezokuVakasha zaseNingizimu Afrika kulawa mazwe alandelayo, yiTurkey, yiNetherlands kanye ne-United Kingdom (UK). Phakathi kwezindawo aseke wazisebenzela kubalwa lezi ezilandelayo, yiKZN Tourism, yiDurban Chamber of Commerce kanye naseKing Shaka International Airpot, ukukha nje phezulu.

Impilo inzima kwabadinga usizo lwendlu lendawo kanjalo nasenduneni. Ophethe ezokuxhumana kumaspala uMhlathuze uMnuz. Mduduzi Ncalane unxuse umphakathi ukuba ubike kwizinhlaka ezifanele izinkinga ezifana nalezi. “Sinxusa wonke amalungu omphakathi

Lena indlu okuhlala kuyo umndeni wakwaKhumalo eMkhobose kuWard 13 ngaphansi kwaMasipala uMhlathuze THABANI MAPHUMULO IMPILO inzima kwabayisishiyagalombi abahlala kwindlu yamaplangwe eMkhobose kuWard 13 ngaphansi kwamasipala uMhlathuze enyakatho nesifundazwe iKwaZulu Natal. Okuyena omdala obheke leli khaya uNksz. Ntombiyenkosi Khumalo uthi impilo inzima kuyena njengoba ebheke abantwana abayishiyagalombili kanti kwayena akasebenzi. “Kunzima ukubhekana nalesimo njengoba nami ngingasebenzi kodwa siziphilisa ngemali yesibonelelo. Kusukela sashiwa

umama impilo yabanzima kakhulu njengoba ngibheke abantwana abayisikhombisa,” kusho Nksz. Khumalo. Lo mndeni ohlala kwindlu eyakhiwe ngamaplangwe nengena amanzi unxusa uMsamariya olungileyo ukuba uwusize uwakhele indlu esezingeni. “Siyacela noma ubani ongasisiza asakhele indlu ngoba kulendlu esihlala kuyo kungena amanzi. Okubuhlungu ukuthi sibaningi siyaphoqeleka ukuthi sivuke ebusuku uma lina izulu,” kusho Khumalo. UNksz. Khumalo utshele abezindaba ukuthi usizi lwabo balubika kwi khansela

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

anezinkinga ezifuze lezi ukuba axhumane nezinhlaka zomphakathi njengo Sukuma Sakhe, Ward Committees nama Khansela ukuze usizi lwabo lushicilelwe emabhukwini abantu abadinga usizo.” kusho uNcalane.


IKHASI 4

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

NOVEMBA 2020

OweSibaya usesebenzisana noMasipala weTheku MAGAYE CELE ISEMKHANKASWENI wokulekelela intsha evela emindenini entulayo inhlangano engenzi nzuzo, i-AMMB Foundation esungulwe ngumlingisi wesiBaya, u-Andile Mxhakaza odlala indawo kaFezile kulo mdlalo. Le nhlangano eyesekwe wuMkhandlu weTheku nawuhlaka oluyinhlanganisela yamabhizinisi, iFFRET bayisungule ngokubambisana kanye noMnu Menzi Biyela. Isiqubulo sale nhlangano siyisisho sesiZulu esithi: “Inkunzi Isematholeni.” Ihambela zonke izindawo ezikhona eThekwini namaphethelo ngenhloso yokunikezela ngosizo entsheni evela emindenini ehlwempu. Kulokhu ibikade isoGwini Comprehensive Secondary School ekwa-P, eMlazi eningizimu yeTheku. Bafike banikelela imindeni engu19 yabafundi bakulesi sikole abahlwempu okuyiyona abayihlonzile. Inhlosongqangi yalolu hlelo uMnu Biyela uthe ukubuyisa usikompilo lwasendulo kubantu

KUNGESIKHATHI le nhlangano ihambele oGwini Comprenhensive inikezela ngosizo kubafundi abavela emindenini entulayo yaseMlazi. abamnyama lokusizana nokubonelelana. “Isisekelo sethu esikhulu sisekubuyiseni ubuntu nobunye kuma-Afrika akithi. Sihlose ukukhumbuza abantu abaMnyama ukuthi namanje izandla zisagezana. Omunye uyamdinga omunye,”kuchaza uMnu Biyela. Eqhuba uthe: “Sikholwa

wukuthi ikusasa lesizwe sethu esiMnyama lincike kakhulu kubantu abasha abasakhula okungabafana namantombazane. Nabo bayoba yisizwe esingcono kuphela uma bekuvumelile ukuholwa ngubuhlakani babantu abadala abangaphambili kwabo. Phela nesiZulu siyasho

ukuthi indlela ibuzwa kwabaphambili. Sihlose ukubumba isizwe esinozwelo nesingachezukile kumagugu aso kanye nasemaSikweni aso.” UMnu Mxhakaza uthe injongo yenhlangano ukuhlangana nezishabasheki zomphakathi ezinentshisekelo yokulwa nobubha obudla lubi kubantu abansundu. Lokhu ke uthe angeke bakawazi ukukwenza bebodwa ngaphandle kokusebenzisana nabanye abantu. “Thina sikholwa wukuthi abantu abasha yibona kanye okumele babe yizishoshovu ezibonakala zihamba phambili ziqinisekisa inhlalonhle emindenini yabantu abaMnyama. Yingakho nje sifuna ukubalekelela bonke abantu abasha abavela emindenini entulayo ukuze bezokwazi ukuqhubeka bafunde bagcine benekusasa eliqhakazile,”kuchaza uMnu Mxhakaza obuye wanxusa ongoti bezeSayensi kanye nabanolwazi olunzulu kwezamabhizinisi ukuba nabo basondele bezophonsa itshe esivivaneni.

Sekuya ngamagama enkehli kuMeya waKwaDukuza

OHLEZI phansi ngumhlali omdala waKwaDukuza, uNkk Ntombani Gqwagu oneminyaka engu-86 ubekade evakashelwe nguMeya waKwaDukuza, uKhansela Dolly Govender obehambisana nethimba lakhe MAGAYE CELE SEKUYA ngokwamagama enkehli kuMeya omusha waKwaDukuza, oG-

obese kuphele isikhathi eside eyiBamba kusona. Phela kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi egcotshwa njengoMeya omusha walo Mkhandlu muva nje wathembisa ukuthi uzolubeka eqhulwini udaba olumqoka kakhulu lokuhlinzekwa ngezidingongqangi kwamalunga omphakathi waKwaDukuza namaphethelo. Nebala kubukeka eseqalile enza lokho ayekuthembisile ngosuku agaxwa ngalo iketanga ngokusemththweni. Bheka nje kungapholi masekho useqalile uphuthumisa izidingo kubantu baKwaDukuza. Muva nje uqedele uhlelo olumqoka lokunikezela ngezindlu kubantu baKwaDukluza. Lokhu ukwenze kuWard 20. Abantu bakule ndawo abahlomulile bazwakalise ukukuthakasela kakhulu ukwenza kukaKhansela uGovender. Akazange agcine lapho uKhansela Govender ube esedlulela phambili eyoveza ukuphothulwa kohlelo lokwenziwa ngcono kwemigwaqo yakule ndawo.

wini olusenyakatho yeKwaZulu Natal, uKhansela Dolly Govender osanda kugixabezwa ngokusemthethweni ngesikhundla sokuhola lo Mkhandlu,

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Uhambele nasendaweni yaseThethe nakhona lapho okuqhubeka khona uhlelo lokwakhelwa kwabantu izindlu. Njengoba ebebonakala ematasa uqhubekile waze wayovakashela omunye wabahlali abadala kakhulu baKwaDukuza, uNkk Ntombani Gqwagu oneminyaka engu-86 yobudala. UNKK Ntombani ubebonakala ethakasile kakhulu kwazise naye ube ngomunye wabahlomule ngaphansi kohlelo loMkhandlu waKwaDukuza wokunikezela ngosizo lwezindlu kumalunga omphakathi aswele. Uhlelo lokulungiswa kabusha kwemigwaqo lusabalale lwaze lwakapakela kuWard 28 kanye nakuWard 23. Umphakathi waseShaka nawo awusalanga ngaphandle ohlweni lokulungiswa komgwaqo. Khona kule ndawo uKhansela uphinde waletha amalambu asemgwaqeni. Lolu hlelo lokulungiswa kahle kwemigwaqo ngokusho kwakhe uKhansela uGovender luzodala ukuthi kube lula ukuba abantu bakule ndawo basebenzise kahle imigwaqo esesimweni esamukelekile. Ngosuku olufanayo uKhansela Govender wethule ngokusemthethweni i-Ocean Drive njengoba nesikhathi samaholidi kakhisimuzi sesibonakala sesisemome. I-Ocean Drive yona ikuWard 22. Ubenza konke lokhu ekhashwa yiPhini lakhe kulo Mkhandlu uKhansela Lucky Makhathini kanye naloyo onguSihlalo we-IAT Portfolio Committee, uKhansela Thulani Ntuli. UKhansela Govender senconywe kaningi ngeqhaza asebe nalo esebenza ngokukhulu ukuzikhandla lokhu eqinisekisa ukuthi umphakathi waKwaDukuza uthola inhlalonhle ehambisana nezidingo ezisemgangathweni. Waziwa kakhulu ngelika “Iron Lady”.


NOVEMBA 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 5

BY 2030 ETHEKWINI WILL BE AFRICA’S MOST CARING AND LIVEABLE CITY

uMasipala usuzibophezele ukuqeqesha abashayeli NOKULUNGA MAJOLA Emizamweni yokunciphisa izingozi emgwaqeni nokwenza ngcono ukuphepha kwabagibeli, i-eThekwini Transport Authority (ETA) engaphansi koMasipala Wetheku usebenzisana nabanikazi bamabhasi abazimele njengoba sekusungulwe uhlelo lokushayela oluphephile lwabashayeli bamabhasi. Loluhlelo luyingxenye yokubungaza inyanga yezokuthutha ngenhloso yokuvuselela kuphinde kuthuthukiswe amakhono abo okushayela angasiza idolobha emzamweni walo wokunciphisa izingozi zomgwaqo. Ngokusho kokhulumela uMasipala weTheku uMsawakhe Mayisela, loluhlelo luzoqhubeka kuze kube bonke abashayeli beqeqeshiwe kulonyaka. “I-ETA manje izogqugquzela abasebenzisa amabhasi ukuthi banikeze inkambo yokuvuselela ukushayela minyaka yonke. Lolu hlelo luhlanganisa izinto ezihlukene nokuzothi ekupheleni kwalo abashayeli bathole izitifiketi. Idolobha lizoqhubeka nokubheka ukuthi lithuthukile yini ikhono labashayeli nokuyothi imiphumela uma isitholakele bese inikezwa abanikazi bamabhasi,” kusho uMayisela. Akakona okokuqala ukuthi idolobha iTheku lithuthukise amakhono abashayeli kanjalo nezokuthutha kulelidoplobha. Ngo-Agasti wonyaka ka 2009, i ETA yasayinda isivumelwano neCopper Trading Sunset, okuyinkampani ehlanganise ososeshini ababili bamatekisi (South and North Beach and Inner City Circle) mayelana nezokuthuthukisa ezokuthutha kulelidolobha. Lesivunelwano saba nemiphumela emihle njengoba kwasulgulwa uhlelo lwamabhasi aziwa nge People Mover. Lamabhasi aqale njengohlelo lwedolo-

Idolobha Itheku liyaqhubeka nokuthuthukisa ezokuthutha nokuphepha kwabagibeli bha lokuhlinzeka ngezokuthutha kubagibeli nezivakashi ngesikhathi seNdebe Yomhlaba yeFIFA ka-2010. Lamabhasi akhiwe ngendlela elungele bonke abantu okubalwa abadala, izingane, izivakashi kanye nabakhubazekile uma behamba maphakathi nedolobha. ITheku nalo labamba elikhulu iqhaza ngokuqeqesha bonke abandakanyeka kuloluhlelo kwezokushayela, ukuphatha, ukunakekelwa kwabagibeli, ukungenisa izihambi, ukusebenza nokuphathwa kwamabhizinisi eDurban University of Technology (DUT). Loluqeqesho lwasiza ekutheni loluhlelo lube impumelelo njengoba lusaqhubeka namanje. Ngokusho kwabagibeli lamabhasi enza impilo yabo ibe lula kakhulu ngoba awancinzi kakhulu ephaketheni kanti futhi ahambela zonke izindawo eziphakathi neTheku ngisho ezigudle ulwandle. UMnuz Thembela Zondi ophila nokukhubazeka

ohamba ngesitulo esinamasondo uthi kuba nzima kakhulu kuyena ukugibela amatekisi njengoba engumuntu ohlala ngokungaphili. “Sengazijwayeza ukuthi uma ngiya esibhedlela noma edolobheni ngigibele iPeople Mover. Into emnandi ngayo ukuthi uyakwazi ukushaya ithikithi losuku ungalokhu ukhokha imali eningi kanti futhi ikubeka eduze nalapho uyakhona,” kusho Umnuz Zondi. Inkampani iCopper Trading Sunset inenkontileka ne-ETA yokusebenza nokuphatha lamabhasi ePeople Mover kanti umasipala weTheku wona ungumnikazi futhi unakekela lamabhasi ngokubambisana neCopper Trading Sunset ekuqasheni abasebenzi okubalwa abashayeli nabahlanzayo kanye nabanye ukuze umsebenzi uqhubeke kahle. UNksz Zodumo Mdluli ohlala enhlokodolobha yeTheku uthi naye uywasebenzisa lamabhasi ikakhulukazi

uma eziyela olwandle nase Moses Mabhida. “Kumnandi kabi ukuzihambela ngalamabhasi uhlala ukhululeke nje kanti angikhumbuli ngizwa kuthiwa kunezinkinga,” kusho uNksz Mdluli. Kwi kwiwebsite yoMasipala weTheku kubhalwe ukuthi amathikithi ohambo olulodwa kubiza u-R5.50 kanti ukusebenzisa lamabhasi usuku lonke kubiza u-R16. Bathi kulula ukuthi lamabhsi abanakale njengoba enemibala egqamile futhi ekhangayo. Ngokusho kukamasipala, uma uhamba ngalebhasi uhamba imizuzu engu-15 kanti ungaluthokozela uhambo lwakho njengoba lamabhazi egudla nangasogwini lolwandle. “Abagibeli abafisa ukushintsha phakathi komzila baye komunye baye bavunyelwa ukushintsha mahhala kungakapheli isikhathi esiyimizuzu engama-90,” kusho uMasipala weTheku. Indlela yokukhokha, uyakwazi ukukhokha uma ugibela noma uthenge ithikithi lesonto okanye lenyanga elibizwa ngo nge-MUVO Smart card nelitholakala kuma-Smart vans eFlorence Mkhize Building nasendaweni yokugcina amabhasi i-Alice street Ngokusho kukaMasipala umzila ohambela edolobheni unqamula emigwaqeni emikhulu yedolobha, uqala uphele lapho kuphambana khona iDr Pixley KaSeme, ume eduze neCity Hall, iThe Playhouse theatre, iTourism Information Centre, Inkosi Albert Luthuli ICC Complex, imakethe yomgwaqo iVictoria kanye nesonto lamaSulumane laseThekwini. Umzila ogudla ulwandle olusenyakatho naseningizimu yedolobha, uqala ekhasino laseSuncoast uphele e-Ushaka Marine World. Umzila udlula ezimpambanweni zomgwaqo uDkt Pixley KaSame Street.

uMphakathi uncoma uMasipala ngokulungiswa komngwaqo

Umgwaqo wawunje ngenkathi uMasipala ungakangeneleli NOKULUNGA MAJOLA UMPHAKATHI waseNtuzuma esigcemeni sakwa H usukushayele ihlombe ukulungiswa komgwaqo u-Mahaye Walk nguMasipala weTheku . Loluhlelo lokulungiswa kwalomgwaqo okuqale ngoJuly kulonyaka usufakwe itiyela. Ngokusho kwabahlali bakulendawo, lomgwaqo ubusunezinkinga ezinkulu okubalwa ukuntshonthwa kwazo izitini nobekudala ukuthi umgwaqo ube magebhugebhu. Bathi bekuba nzima nokuthi kubonakale

uma kuqhume amapayipi amanzi njengoba amanzi abegeleza afike abhajwe enhlabathini nokubedala udaka. UNksz Slindile Mlaba osebenzisa lomgwaqo zonke izinsuku uma noma ebuya emsebenzini uthi isimo salomgwaqo besingajabulisi neze nobekwenza ukuthi kube nzima ukuhamba kwezimoto. “Bese kuhlala kunedamu elinodaka emgwaqweni ngenxa yokuvaleka kwemisele ehambisa amanzi,” kusho uNkz Mlaba. Uthi besekuphele iminyaka engaphezu kwemine bebhekene nalenkinga. UMnuz Dumisani Zikhali ohlala kulendawo

Esithombeni uMasipala usungenelele ukulungisa umngwaqo uthe “Bese kunzima ukuhamba kulomgwaqo ngisho thina abahamba ngezinyawo ngenxa yokuba magebhugebhu kwawo. Kunenhlabathi nje evele yavala imisele ehamba amanzi nobekwenza ukuthi uma izulu lina amanzi agcwale emgwaqweni kube nodaka olumangalisayo, uphinde wathi ukulungiswa kwalomgwaqo kubanika ithemba lokuthi kuzoba nomkhulu umehluko”, kusho uMnuz Zikhali. Omunye osebenzisa lomgwaqo omncane ohamba phakathi kwemizi uthi bekuba nzima uma kumele avakashele izihlobo zakhe ezihla-

KONKE KUSEZANDLENI ZAKHO

Ukulwisana nesifo iCovid-19

GEZA IZANDLA NOMA UFAKE ISIBULALIMAGCIWANE • DLALA INDIMA YAKHO • UHLALE UPHEPHILE.

la kulomgwaqo ngoba bekumele ashiye imoto ahambe ngezinyawo. “Noma kungelona ibanga elitheni kodwa bekucasula nje ukuthi uhamba ngemoto ubuye uyishiye futhi. Ngiyabona bayivulile lemisele yamanzi kanti sekufakwe netiyela nokuzokwenza ukuba indawo ibukeke futhi kuhambeke kalula, “kusho uMnuz Bongani Ngubane. Ikhansela lakuWadi 107 uMnuz Thandanani Mabanga uthe uyathokoza ukuthi lomgwaqo ususesimeni esigculisayo, umphakathi usuzokwazi ukuhamba kahle etiyeleni.

NGOKUBAMBISANA SINGAYINQOBA

I CORONAVIRUS

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


IKHASI 6

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

NOVEMBA 2020

“Ubaba wayenothando oludlulele ngabantu abakhubazekile”

LOKHU ngukudla obekunikelelwa ngabeC.J Mthethwa Trust kwabakhubazekile baseMsinga. TSEPO MOTLONA KUTUSWE izimfundiso ezinhle zokuthanda abantu zikaMfu Celani Jeffery Mthethwa owayeyilungu lesiShayamthetho saKwaZulu-Natal owashona ngo-2008 ayezishumayeza umndeni wakhe zokuthanda abantu. Umndeni wakhe ongabanikazi be-CJ Mthethwa Trust uhlanganise abantu abakhubazekile bamawadi akuMasipala waseMsinga banikela nge-grocer njengokugcina usiko lwasekhaya abalushiyelwa nguyise lokuthanda abantu bawo wonke amazinga.

UNkk Thembi Mosiea uMaMthethwa oyindodakazi kaMfu Mthethwa enguNobhala weCJ Mthethwa Trust futhi eyisikhulu oPhikweni lweziNhlekelele kuMasipala wasekuRhuleni eGauteng uthe uyise wabashiya nengcebo engajwayelekile yothando ebayalela ukuba mabokwabelana ngalo nabantu uma engasekho. Uthe uyise owayengumfundisi waseMahoney Evangelical Church in Southern Africa (MECSA) wayenothando lwabantu abakhubazekile futhi efisa ukubabona bejabule ngaso sonke isikhathi ukuze bengezukuzibona behlukile kwabanye abantu ngenxa yesimo sabo. “Sikhule ekhaya si-

Intsha yaseMgungundlovu izocijwa ngomkhakha wezamafilimu

UPORTIA Ndudane efundisa abanye besilisa nge-camera. TSEPO MOTLOKOA INTAKA ibekelwe abazolo kubantu abasha besifunda saseMgungundlovu abanothando lomkhakha wezamafilimu njengoba i-Dynamites Youth ngokubambisana noMgungundlovu Film Festival ibahlelele i-workshop yamasonto amathathu lapho bezobe beqeqeshwa khona eminxeni yezamafilimu kungaba ngukubhala, ukushutha nokuqondisa. UPortia Ndudane onguMqondisi woMgungundlovu Film Festival neDynamites Youth uthe bahlele ukunikeza ithuba abantu basha baseMgungundlovu

abaphakathi kweminyaka engu-16 kuya ku-35 ukuba bazothuthukisa ulwazi lwabo kulo mkhakha. “Le workshop esiyihlelile ezoba mhlaka 30 November ize isongwe mhlaka 18 December izobe iseMsunduzi Bessie Head Library. Okusikhuthaza kakhulu ekusondeleni kubantu abasha yingoba sibone ukuthi banentshisekelo yalo mkhakha kodwa ulwazi luncane sabe sesihlela le workshop. Siyathemba ukuthi ulwazi abazoluthola luzobaphilisa njengoba bezofunda nangokonga imali ebhizinisini kanye nokusebenza kwayo. Abanye bayakwazi ukushutha kodwa kabakwazi ukubhala imidlalo sikholwa ngukuthi bazophuma sebenamakhono amaningi futhi sebehlomile ngokukwazi ukuqondisa imidlalo ukuze ubukeke kahle kumbe uzwakale kahle kolalele nobukayo,” kusho uPortia. Eqhuba uPortia uthe le workshop izobe yenziwa na-online kodwa okunye kuzobuye kwenziwe bukhoma ngaphakathi eBessie Head Library njengokusebenzisa imishini namakhamera. Uthe le ngqayizivele yethuba bahlose ngayo ukucija abathandi bezamafilimu ngamakhono amasha njengoba ezobuchwepheshe zithuthuka nsuku zonke. Abadinga imininingwane mayelana nokuba yingxenye yale workshop okuthiwa sekuhlelwe konke ngezinto zokuthwala abazobe beyihambele bangathinta uPortia kwi-email ethi: dynamitesyouthkzn@gmail.com noma bamshayele kwethi: 068 591 2765.

bahlanu izingane zikababa singamantombazane amathathu nabafowethu ababili. Ngokuhamba kwesikhathi sandile ekhaya siyizingane ngoba kunezingane ezafika nobaba wazenza ezakhe. Phakathi kwazo kwakukhona nezazikhubazekile ezaphenduka abafowethu nodadewethu kithina. Ubaba wasifundisa ukuba nothando lwabantu ethi lokhu akwenzayo ufisa nathi sikhule ngakho. Yingakho simkhumbule ngokuthi sinikele kwabakhubazekile baseMsinga okuyindawo azalelwa kuyona wakhulela kuyona kwaze kwaba ushonela kuyona. Besifisa ukunikela kwabaningi kodwa siqoke abangu-20 ukugcina imibandela yeCOVID-19 yokuhlangana kwabantu njengoba besingumndeni futhi kunezimenywa ebezisohlelweni okugcine senza isibalo sabantu abangu-50 abebesehholo lasePomeroy,” ubeke kanje. UNkk Mosiea ubonge unina uNkk Jabulile Mthethwa uMaNene onguSihlalo weCJ Mthethwa Trust ngokuba nenhliziyo evulekile kubantu njengoba akwazi ukuba yisikhukhukazi esimatshweletshwele esakwazi ukufaka ngaphansi kwamaphiko aso namatshwele amaqanda esingazange siwafukamele. Uthe kuningi okusezinhlelweni zeCJ Mthethwa Trust kokusiza abantu futhi bayaqinisekisa ukuthi konke abazokwenza bazobe benikeza osomabhizinisi baseMsinga ithuba lokubambisana nabo njengoba benzile kade bepha izipho abakhubazekile.

Osomabhizinisi batakule uMasipala ehlazweni

THABANI MAOHUMULO

OSOMABHIZINISI abehlukene ngaphansi kwesifunda iKing Cetshwayo enyakatho nesifundazwe iKwaZulu Natal bagqibe ihlazo likamasipala uMfolozi ohluleke ukusiza umndeni obushonelwe.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Umndeni wakwaZikhali eMzingazi kuWard 06 kumasipala uMfolozi ugcine ulutholile usizo lokungcwaba ilunga lomndeni ngenxa yosizo losomabhizinisi Emva kokuba ithimba lezindaba le1kzntv libike ngodaba lomndeni wakwaZikhali eMzingazi kuWard 06 kumasipala uMfolozi osomabhizinisi abehlukene basukumele phezulu basize lomndeni njengoba isidumbu besiduve emakhazeni ngenxa yokuswela imali yokungcwaba ilunga lomndeni. Omunye wosomabhizinisi ozinze eRichards Bay u-Ishwar Ramlutchman nokhokhele zonke izindleko zamakhaza unxuse ukuba kusizwe abaswele. “Kubalulekile ukuthi thina esinakho sisize abaswele. Emva kokubona lolu daba kumabonakude ngithinteke kakhulu ngibona umndeni udinga usizo, ikakhulukazi njengoba usemanzini amnyama,” kusho Ramlutchman. Umndeni waZikhali uthi watshela yikhansela lendawo ukuthi kangeke uluthole ngoba umasipala awunayo imali. Ekhuluma naleliphephanda uNksz. Makhosi Zikhali uzwakalise ukubonga kubona bonke ababasizile. “Ngifisa ukuzwakalisa ukubonga ngesikwenzelwe osomabhizinisi ukuze sikwazi ukungcwaba umfowethu ngesizotha. Siyafisa ukusho ukuthi abakwenze kithi baqhubeke bakwenze nakwabanye,” esho. Ophethe ezokuxhumana kumasipala uMfolozi uMnuz. Philani Khumalo uveze ukuthi umasipala umndeni bazowudlulisela kuMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi okuyiwona osiza abantu abanenkinga efana neyawo. “Siwumasipala sizowudlisela kuMnyango ofanele ngoba ngeke sikwazi ukuwusiza,” kusho Khumalo. Phakathi kwabanye osomabhizinisi abaphonse esivivaneni bahlanganisa iMakadebona Security, KaMyaluza Security kanye neqembu le-IFP kwisiyingi saseMfolozi.


NOVEMBA 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Umtapo wolwazi uvule igumbi elizosetshenziswa ngabangaboni emehlweni

UMNU Mbongeni Mathe waseMsunduzi noNkk Schreiner beqeda kucikica isivumelwano sokusebenzisana TSEPO MOTLOKOA SAMUKELWE ngelikhulu ihlombe isikhungo sabangaboni emehlweni esivulwe eBessie Head Msunduzi Municipal Library eMgungundlovu esithulwe ngesikhathi kwethulwa neseMzala Nxumalo Centre of Study esiqanjwe ngesishabasheki esasilwa nobandlululo olwalubhekiswe kubantu abamnyama ngezikhathi zikahulumeni wengcindezelo. Ubuholi bukaMasipala waseMsunduzi oholwa yiMeya uMnu Mzimkhulu Thebolla nobaseBessie Head Library obuholwa nguMnu Mandla Ntombela bamukele abeMzala Nxumalo Centre okuyisikhungo esiqanjwe ngoMnu Jabulani Nobleman Nxumalo

owayeyisosha loMkhonto Wesizwe futhi eyisishoshovu esasilwela inkululeko yabantu abamnyama eNingizimu Afrika. Ngaphakathi kule-library kwethulwe igumbi eliqanjwe ngaye uMzala njengoba ayaziwa kanjalo kwiSACP ngenhloso yokumhlonipha ngokugcina izimfundiso zakhe zokuthanda imfundo. UMzala wayeyilungu lokuqina lamaKhomanisi elalingalimbathisi iqiniso elazalelwa eDundee ngo-1955 lashonela eLondon ngo-1991. Ubalwa nezinye izishoshovu ezayibamba ishisa emzabalazweni kodwa kazangazidla izithelo ngezazikutshala ukuze leli lithole inkululeko. UNkk Jennifer Schreiner onguSihlalo weMzala Nxumalo Centre uncome uMzala ngokuthanda ukufunda nokubhala

ngesikhathi esekudingisweni. Ubonge uMzala ngokuzidela ngokuphila kwakhe wahlanganyela nababengahambisani nohulumeni wobandlululo. “UMzala wayengumcwaningi njengoba eminye yemibhalo yakhe isoshicilelweni lwababhali abahlonishwayo kuleli. Ababe nenhlanhla yokufunda eminye yemibhalo kaMzala bazuze lukhulu ngenkululeko yabantu abamnyama nokubaluleka kwabantu baseNingizimu Afrika ngokungabheki ibala labo. Siye KwaDlangezwa High School lapho okuvela ukuthi indlela yomzabalazo yagqama khona saze sadlulela nasoNgoye lapho aboshelwa khona ngoba eseka ozakwabo ababeyibambe eSoweto ngomhlaka 16 kuNhlangulana (June) ngo-1976 waboshwa wadingiswa kuleli. Esekudingisweni e-Angola wazimbandakanya noqeqesho lwaboMkhonto Wesizwe wagxila nasekubhaleni izincwadi,” usho kanje. UMnu Thebolla uthe lokhu kwethulwa kweMzala Nxumalo Centre of Study kuyingqophamlando KwaZulu-Natal. Ubonge abalesi sikhungo ngokuqoka idolobha laseMgungundlovu ukuzosebenza nomasipala wakhona ongowesibili eNingizimu Afrika ngokunotha ngolwazi njengoba wakhiwa ngo-1830. Uthe uyathemba ukuthi abazohambela lesi sikhungo esivuliwe bazokleza kogwansile ngomlando waseNingizimu Afrika kuze kufike enkululekweni yaleli lizwe.

Uhlonishwe ngeziqu zobusolwazi wakhuthaza ukuzehlisa kubantu

ovu ohlonishwe ngeziqu zobudokotela ngeqhaza alibambile ekuthuthukiseni abantu baseMgungundlovu ikakhulukazi izingane njengoba kukhona ezisezikhungweni zemfundo ephakeme ezifundayo ngenxa yosizo lwakhe. USolwazi Norman Mkhize uhlonishwe ngalezi ziqu ezikhethekile ngabeNew Hope School of Theology esinesizinda enkabeni yedolobha uMgungundlovu. Umcimbi wokuhlonishwa kukaKhabazela obuye abe nguMbhishobhi waseNyonini Zion Mission KwaZulu-Natal naseSwazini bewuseWinUSOLWAZI Jabulani Dladla ston Churchil Theatre eScottsville khona egaxa iziqu zobuSolwazi eMgungundlovu. Ekhuluma uSolwazi uNorman Mkhize. Connie Ngubane waseNew Hope School of Theology ngokubenze bahlonipha uSolwazi Mkhize ngalezi ziqu ucacisele abeTSEPO MOTLOKOA belapha ngokuhlonipha uSolwazi Mkhize ngeziqu zobusolwazi ekuthuthukisweni UKHUTHAZE ukuthobeka nokuzehkomphakathi ethi bezimfanele ngenxa lisa usomabhizinisi waseMgungundlyokukhathalela impilo E L yabantu. Uncome I K IFA GAS O N U Y UKUGWEMA UKUTHELEKA NGEGCIWANE ukukhathalela kwakhe A UM ISIFON LEKILE E ECOVID-19 inhlalakahle kubantu VUM NA I AWU KUNGE SITESH njengoba kunezingane U NI LE E ezifundaya azisekayo W NGIVIKELA WENA, G N ESA UVIKELA MINA kusukela zisesemabangeni aphansi kuze kufike nasezikhungweA UM KILE A F ni zemfundo ephakeme I AS UNG IFONYO ILE aze azisize ngokuthola K S I ELE UM ENA V izincwadi zokushayela U AW KUNG ENI izimoto. “Kuyaxaka U L E TIM

FA K A I S I FO N YO !

ESI

ukuzwa abantu uma bebona umuntu ephumelela kukhona akwenzayo bethi uthwele. Uma uthi umuntu uthwele futhi uyabona ukuthi uyaphumelela pho wena uvinjwe yini ukuya kuleyo nyanga athwaliswe yiyona nawe uthwale?” kubuza uSol Ngubane. Okunye okuvele ngoSolwazi Mkhize kuthiwa wabamba elikhulu iqhaza kwezikanobhutshuzwayo njengoba wabumba amagatsha angu-65 abalandeni beKaizer Chiefs KwaZulu-Natal njengoba leli qembu linabalandeni abaningi kulesi sifundazwe. Kuthiwa uSihlalo weKaizer Chiefs uDkt Kaizer Motaung waphatheka kabuhlungu ngesikhathi uMbhishobhi Mkhize esebeka phansi izintambo zokuba nguSihlalo waleli qembu eMgungundlovu esabela ukuthi lizolahlekelwa ngabalandeli ngenxa yokuba yisishabasheki kwakhe ekuxhumaneni nabalandeli. USolwazi Mkhize uthe lokhu okwenzekile ucela abantu bangakutoliki kabi baze babe nemidlinzo ngakho. Uthe konke anakho kungukuhlonipha uNkulunkulu nokwazi indawo abekwe kuyona. “Inselelo engiyiphonsa kosomabhizinisi nabefundisi ngukuzihlonipha njengoba bekhethiwe ukuba ngababheki babantu. Konke esikwenzayo makube ngukuthi sikuyalelwe nguNkulunkulu singenzi ngokuthanda kwethu. Ebandleni kunabefundisi abayisikhombisa engabathengela izimoto futhi ngingabheke nkokhelo ngalokho,” usho kanje.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 7

SIVUBELA Intuthuko ITHIMBA LEPHEPHA >> UMHLELI MAKHOSI MNGOMA makhosi@sivubelaintuthuko.co.za 083 618 4252

NOKULUNGA MAJOLA Info@sivubelaintuthuko.co.za 072 1792 255

>> INTATHELI YEZEMIDLALO THABANI MAPHUMULO trmaphumulo@gmail.com 063 278 3658

>> GRAPHIC DESIGNER AND LAYOUT LINDA MAZIBUKO trusouth1@gmail.com 076 4847 269

SANELISIWE NGEMA Info@sivubelaintuthuko.co.za 067 920 8446 MAGAYE CELE info@sivubelaintuthuko.co.za 067 920 8446 TSEPO MOTLOKOA info@sivubelaintuthuko.co.za 067 920 8446 IWEBSITE YETHU www.sivubelaintuthuko.co.za sivubela intuthuko @sivubela intuthuko sivubelaintuthuko B 33 Ten Acre Thembeni Groutville, P.O Box 4473, Stanger 4450, 270 Stamford Hill Road Unit 1 Morningside, Durban, 4000 UMA UFUNA UKUKHANGISA KULELIPHEPHANDABA , SHAYELA 067 920 8446 / 083 618 4252


IKHASI 8

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

NOVEMBA 2020

Sivubela Intuthuko

EZEMIDLALO

Usizi iChiefs ichithwa yinkantolo yabadlali

UMphathi weChiefs uBobby Motaung okusazomele alinde ukusayinisa abadlali emva kokulahlwa yicala THABANI MAPHUMULO IQEMBU iKaizer Chiefs lisazoqhubeka nokuhlawuliswa ukuba lisayinise abadlali emva kokuchithwa yicala lenhlangano eyengamele ibhola emhlabeni iFederation International Football Association (FIFA) , lokhu kulandela ukuthi leli qembu lingalandelanga imigudu efanele ukusayinisa umdlali waseMadagascar uDax Adrianamanana. Emva kokuba AmaKhosi

ahlalwa yicala afaka isimangalo sokulidlulisela kwinkantolo yabadlali iCourt of Arbitration for Sports (CAS) ngethemba lokuthi isinqumo singavuma yona. Lokhu kusho ukuthi umphathi waleliqembu uBobby Motaung angase akwazi ukusayinisa abadlali ngonyaka ozayo masekuqala isizini entsha. Leli qembu beseliqalile ukushela abanye abadlali ngenhloso yokuthi lizobasayinisa uma livunwa yisinqumo senkantolo.

UDax Adrianamanana waseMadagascar okuyena mdlali ofake iChiefs otakwini emva kokumsayinisa Umdlali wasemuva obegijima kuBidvest Wits uSfiso Hlanti ubeseqalile ukuziqeqesha naleli qembu ngenhloso yokusayina. Kanti abanye abadlali abebeseqhulwini kuthi bazojoyina leli qembu singabala uBuhlebezwe Mkhwanazi, Kgaogelo Sekgota, Kanye noPhathutshedzo Nange abebegijima kuWits. Kuzokhumbuleka ukuthi leli qembu lisanda kusayinisa umqeqeshi omusha uGavin Hunt obesuka kwiWits naye, lomqeqeshi ujoyine leli

qembu evele azi lisalinde isinqumo secala. UHunt uzozibamba zishisa nabadlali abebegijima ngesizini ephelile kuleli qembu, eliphunyukwe isicoco seligi ngesizini ephelile. IChiefs cishe yilona kuphela iqembu elingazange lingene emakethe ukuqinisa isikwati sayo, njengoba amaqembu amaningi abelokhu ephuma engena emakethe ezilungiselela ukuqala kweDstv Premiership eqale ngegiya eliphezulu.

iSoweto derby engenabalandeli kowe-MTN 8 THABANI MAPHUMULO

Umdlali wePirates uHappy Jele ezama ukumaka umgadli weChiefs uSamir Nurkovic

UBHEKWE ngabomvu umdlalo wezinkunzi zaseSoweto iKaizer Chiefs kanye ne-Orlando Pirates kumqhudelwano weMTN 8 .Umdlalo wolenze wokuqala uzodlalelwa e-Orlando Stadium ngoMgqibelo ngehora lesi-15h00 ntambama. Lamaqembu azoya kulomdlalo ezimisele kwazise afuna ukuqeda isomiso sezindebe njengoba eseqede iminyaka engaphezulu kwemihlanu enganqobi lutho. IChiefs kumlenze wesibili izokwamukela iBucs enkundleni iFNB Stadium ngomhla zi-08 kuLwezi. Okuzobe kuqala ukwenzeka ukuthi lezinkunzi azikaze zidlalo lomdlalo bengekho abalandeli, kanti lokhu kungenxa yobhubhane oluhlasele

lweCorona Virus. Amanye amaqembu azobe egadulisana ahlanganisa ompetha abavikela isicoco okuyiSupersort United ezovakashelwa iBloemfontein Celtic ngeSonto eLucas Moripe Stadium. Ngesizini ephelile Amantsatsatsa ahlule iHighlands Park ngegoli elilodwa eqaleni kowamanqamu akhala emuka nesamba semali eyizi-R8 million yezigidi zamarandi. Yonke lemidlalo izodlalwa ngaphandle kwabalandeli ngenxa yokugwema ukusabalala kwegciwane iCorona Virus. iPirates isayinise inqwaba yabadlali ukuqinisa iqembu layo, Kanti ngakolunye uhlangothi izimbangi iChiefs angeke zikwazi ukusayina abadlali njengoba zihlawuliswe iFIFA ekusayiniseni abadlali.

031 828 0433 / 082 597 6669

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.