Sivubela Intuthuko Newspaper

Page 1

SIVUBELA Intuthuko

ADVERTISING: (031) 8222 602 SEPTHEMBA 2020

FACEBOOK: SIVUBELA INTUTHUKO

SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

LIMAHHALA USHICILELO 52

Umfundisi unikele ngendlu

Usuvulwe ngokusemthethweni umgwaqo

iKhasi 7

udaba ekhasini 6.

Izinyembezi zenjabulo enikelelwa ngendlu

udaba ekhasini 3.

UMasipala uhlomelise umphakathi ngezindlu

iKhasi 2

Owodumo kuChiefs useyogijima phesheya

iKhasi 8

uNomakhwezi Mkhwanazi enikezwa izikhiye zendlu yakhe uMduduzi Mhlongo weMGM Foundation Kanye nowakwakhe uThandeka Mhlongo

KONKE KUSEZANDLENI ZAKHO

Ukulwisana nesifo iCovid-19

GCINA IBANGA ELINGU 1.5M KUYA 2M • DLALA INDIMA YAKHO • UHLALE UPHEPHILE

NGOKUBAMBISANA SINGAYINQOBA

I CORONAVIRUS


IKHASI 2

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

uMasipala uhlomelise umphakathi ngezindlu

SEPTHEMBA 2020

Kukhuthazwa inhlanzeko kwabahambela emapaki aseMsunduzi TSEPO MOLEFE

uMeya yeTheku, uKhansela Mxolisi Kaunda enikela emphakathi waseLamontville. MAGAYE CELE NJENGESETHEMBISO sikaMasipala weTheku sokuqinisekisa ukuthi abantu bonke bathola ithuba lokuba nemipheme yokukhosela, iMeya uMxolisi Kaunda wethule ngokusemthethweni uhlelo lwabo olumqoka lokwakhiwa kanye nokuthuthukiswa kwezindlu elizodla u-1Billion. Lolu hlelo luzoguqula indlela indawo yaseLamontville ebukeka ngayo. Ngosuku okwethulwe ngalo lolu hlelo ube esenikizela ngosizo lwezindlu ezingu-8 emindenini entulayo yakhona kule ndawo.Lolu hlelo olumqoka lokuhlinzekwa umphakathi ngezindlu wuhlelo olumqoka noluphuthumayo oluqhutshwa nguMkhandlu weTheku. Kuvelile nokuthi lolu hlelo luzoqhubeka kuze kube uNcwaba (August) wangonyaka ozayo. Ngokusho kweMeya uthe ukuhlinzekwa komphakathi ngezindlu kuyindlela yokuqinisekisa ukuthi bonke abantu bathole izindlu. “NjengoMkhandlu weTheku sifuna ukuqinisekisa ukuthi lolu hlelo lokwakhiwa kwezindlu lufinyelela kubona bonke abantu. Sikholwa wukuthi wonke umuntu unelungelo lokuba ahlale

endlini emfanele,” usho kanje. Iqhube yathi basezinhlelwezi zokwakha izindlu ezingu-400 sezizonke bezakhela imindeni eyehlukene. Nokho ke uthe okwamanje izindlu esezakhiwe sezizonke zingu-180. Uthe umsebenzi awumile uyaqhubeka.“Into emqoka wukubuyisa isithunzi sabantu bakithi okuyinto esiyibeka phambili thina njengoMkhandlu weTheku. Siyethemba ukuthi bayajabula kakhulu abantu balapha eLamontville ebebehlala ezakhiweni njengoba uMkhandlu weTheku ukhethe ukuba ubakhele izindlu zeqophelo eliphezulu,” echaza. Eqhuba uMeya uKaunda uthe: “Okuhle ngezindlu esizakhayo wukuthi siyaqinisekisa ukuthi ngaphakathi zikhona izidingo ezimqoka. Sikhuluma ngamanzi kanye nogesi okuyizinto engikholwa wukuthi zimqoka ezindlini.” Eminyakeni engu-4 eyedlule uMkhandlu weTheku usukwazile ukwakha kanye nokulungisa izindlu ezingu-12 000. Ngale kokunikezela ngosizo lwezindlu kubantu lolu hlelo uMeya uthe luzokwazi nokuthi ludale indathane yamathuba omsebenzi njengoba kuzoqashwa abantu abazobe bakha izindlu.

KUQINISWA inhlanzeko emapaki aseMgungundlovu ngenhloso yokuvikela imvelo ukuze ithande abantu nabo bayithande futhi bayivikele. Ngeledlule iDuzi Umngeni Conservative Trust ngokubambisana nabezamapaki kuMasipala waseMsunduzi bagcwale usebe lo mfula uMsunduzi eCamps Drift bezohlanza leli dolobhla elithathwa njengelinomlando ojulile kwezokuvakasha namagugu. UNkz Portia Vilakazi uthe baphume inqina lokuhlanza idolobha laseMgungundlovu ngenhloso yokuvikela imvelo. Unxuse abantu abakhele leli dolobha ukuba baqikelele ukuthi uma besebenzisa amapaki bawashiya ehlanzekile ukuze ahlale eheha. “Siphume umkhankaso wokuthanda idolobha lethu ngokuthi silihlanze ngokungabheki inkokhelo. Kuyasithokozisa ukubona abanye ozakwethu behlanganyela nathi ukugcina idolobha laseMgungundlovu libukeka kahle. Sibonga ithimba laseMsunduzi elihlanganyele kanye nathi lazijuba ngokusilekelela ukuhlanza leli dolobha lethu. Sibhekene nomthwalo wokukhuculula amapaki ethu njengoba engcole ngendlela efikiselana namahloni njengoba kugcina kuthikamezeke nomfula uMsunduzi. Siyanxusa umphakathi ukuthi mawube sempini ngokuthi ukhuzane uma kukhona obonwa elahla udoti noma kanjani. Sizimisele ukuqhakazisa idolobha lethu ukuze nezivakashi kuthi nxashana zivakashele kulona zingawuvali umlomo ngenxa yobuhle nokuhlanzeka kwamapaki alo,” usho kanje. UMnu Sibabini Tutshana wezamapaki eMsunduzi uthe kuyabajabulisa ukubona ezinye izinhlangano ezizimele zishabasheka ngokugcina idolobha laseMgungundlovu lihlanzekile ngaso sonke isikhathi. Uthe inhloso yabo ngokusebenzisana nabe-

ITHIMBA laseDUCT uNkz Noluthando Ndlovu, uMnu Tim-Tim Mthembu, uMnu Siyabonga Ngubane, uNkz Portia Vilakazi noNkk Faye Brownel abebehlanza amapaki aseMgungundlovu. DUCT ngukuba abantu baqonde imvelo ngokuthi bayiphathe kahle ukuze nayo yenze okuhle kubona. “Kungconywana ukungcola kwamapaki kulezi nsuku njengoba ukuhlangana kwabantu kusamisiwe ngenxa yemithatho yeCOVID-19 kodwa siyazi ukuthi mhla kuvulelwa ukuhlangana kwabantu kuzoba nzima ngoba abantu bazobe sebegcwala kuwona. Siyafisa ukubambisana nabantu njengoba sizoshiya imigqomo yokufaka izibi sicela bayisebenzise. Lapha sizolekelela iDUCT ngoba sonke sinombono ofanayo wokugcina imvelo ivikelekile. Sinxusa umphakathi ukuba mawuthi nxashana usebenzisa amapaki bese kuthi lokho abebekwenza khona bakuqoqe bakulahle ezindaweni ezifanele ukulahlwa kuzona,” usho kanje.

UMasipala wengeze amathuna MAGAYE CELE

uMnu Thembinkosi Ngcobo oyiNhloko yoPhiko lweZokuNgcebeleka kanye namaGugu ngaphansi koMkhandlu weTheku

UMNYANGO wezokungcebeleka namasiko ,amapaki kanye namagugu usuvule izikhala zokungcwaba ezifinyelela ku-8000. Lezi zindaba eziyimpendulo kwinkinga yokushoda kwendawo yokungcwaba ziqinisekiswe nguMnu Thembinkosi Ngcobo okunguyena oyiNhloko yoPhiko lwezamaPaki, ezokuNgcebeleka kanye nezamaGugu. Kuzokhumbuleka ukuthi bese kuphele iminyaka eminingi kakhulu iDolobha iTheku libhekene nale nkinga kangangoba ngonyaka owedlule uMnu Ngcobo waze waveza ukuthi kusele izikhala zokungcwaba ezingu-5000 nje kuphela zokungcwaba, nokuyinto eyadala itwetwe kubahlali bakuleli dolobha. Njengoba uMasipala weTheku sewukwazile ukwengeza ngezikhala ezingu-8000 lokhu uMnu Ngcobo ukuchaze njengokuphumelela komsebenzi omqo-

ka kakhulu. Echaza uthe: “Sithathe isinqumo sokuthi kube khona esikwenzayo ngenhloso yokuxazulula inkinga yokugqoza kwezikhala zokungcwaba eThekwini. Sisebenzisane nemindeni ukugubha kabusha amathuna akuLoon Road. Amathuna esiwagumbile yilawo esekuphele iminyaka engu-10 kuya phezulu aba khona.” Eqhuba uthe: “Sivumelene ngokuthi imindeni izokwazi ukuthola ithuba lokuthi yenze amasiko awo uma esengcwaba kabusha abagunjiwe ngoba bazofakwa kwenye indawo ezoqinisekisa ukuthi baphumula ngokuthula.” Uphinde waveza izindaba zokuthi ikhona indawo asebeyihlonzile ezosetshenziselwa ukungcwaba. Uthe banesiqiniseko sokuthi leyo ndawo ingakwazi ukuba isetshenziselwe ukungcwaba kuze kuhlangane iminyaka engu-30. Nokho okwamanje uthe bamatasa basenza ucwaningo lokuwuhlola kabanzi lo

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

mhlaba ngenhloso yokuthola ukuthi ngabe ukulungele kangakanani ukuba ungasetshenziselwa ukungcwaba abantu. Ngokusho kwakhe uMapholoba kungumsebenzi osemahlombe abo njengoMasipala ukuqinisekisa ukuthi abantu bafihlwa ngesizotha futhi bafihlwe endaweni efanelekile negculisayo. “Ayikho into emqoka ngaphezulu kokuba abathandiweyo bethu bathole ukuphumula okubafanele besendaweni eyamukelekile,” echaza. Esephetha uthe uyethemba ukuthi nabangcwabi baseThekwini kubona kuzoke behle ubuthongo uma bezwa lezi zindaba. Ube eseba nomyalezo omqoka awubhekise ngqo kubangcwabi baseThekwini. “Sibhekene nenkinga yesibalo esikhula mawala sabangcwabi abangekho emthethweni. Siyacela kubona bonke abangcwabi ukuthi beze bezobhalisa ngokusemthethweni.”


SEPTHEMBA 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 3

Izinyembezi zenjabulo enikelelwa ngendlu

uNomakhwezi Mkhwanazi enikezwa izikhiye zendlu yakhe uMduduzi Mhlongo weMGM Foundation Kanye nowakwakhe uThandeka Mhlongo THABANI MAPHUMULO OWESIFAZANE waseDlangezwa kuWard 34 ngaphansi kwamasipala uMhlathuze enyakatho nesifundazwe iKwaZulu Natal uNomakhwezi Mkhwanazi (37) uhluleke nawukuzibamba wakhihla isililo ngenkathi amukeliswa indlu yakhe entsha yinhlangano engenzinzuzo iMGM Foundation. Le ntokazi ebihlala kwindlu engawa noma yinini nabantwana bayo inikelelwe lendlu usi-

hlalo wenhlangano engenzinzuzo iMGM Foundation uMduduzi Mhlongo ehambisa nezinhlaka ezahlukene. uMkhwanazi uveze ukuthi ngenxa yesimo sendlu bephoqeleka ukuthi omunye umntwana wakhe ahlale ezihlotsheni. “Ngibonga uNkulunkulu ngasengenzele kona namuhla. Lesimo singenza ngikhumbule izinsuku zami ngisemncane ngintandane ngihlupheka. Ngiyajabula ngoba manje senginendawo engibiza ngekhaya futhi ephephile,”

kusho Mkhwanazi. Lo mndeni uthole usizo kwinhlangano iMGM Foundation nehlose ukushintshwa izimpilo zabantu abaswele zibencono. UMhlongo nowakwakhe uThandeka babambe iqhaza elikhulu ukusiza lomndeni wakwaMkhwanazi. “Size lapha ukuzobuyisa isithunzi sikaNomakhwezi Mkhwanazi obehlala kwisimo esingesihle iminyaka. Kungumsebenzi wethu njengobuholi bendawo ukuhlonza leyomndeni eswele bese siyayisiza. Isimo

abehlala kuso singenza kubelula nokuthi ahlaselwe njengoba elakuleli libhekene nesihlava sokubulawa kwabesifazane nezingane,” kusho Mhlongo. UMhlongo uphinde wanxusa osomabhizinisi bendawo ukuba baphonse esivivaneni kulenhlangano ukuze iphucule izimpilo zabantu.“ Akusikho ukulala Kahle nje emva kokusiza abaswele kodwa nalabo abafake imali yabo bayabona ukuthi imali yabo yenzeni,” kuphetha UMhlongo.

Isikhungo semfundo ephakeme singesinye esihamba phambili MAGAYE CELE

Solwazi Thandwa Mthembu onguMphathi oMkhulu waseDurban University of Technology.

ISIBALWA namaNyuvesi amahlanu ahlonishwayo iNyuvesi, iDurban University of Technoogy (DUT). Lesi sikhungo sibalwe nezikhungo ezihamba phambili eNingizimu Afrika yonkana. Ucwaningo olunzulu belukade luqhutshwa yiTimes Higher Education World UIniversty Rank. Lolu cwaningo luphinde lwaveza nokuthi le nyuvesi isibalwa nangu-500 ahamba phambili naseqophelweni eliphezulu emhlabeni nje jikelele, ikakhulukazi kwezoCwaningo. Lezi zindaba zehle njengoju kuSolwazi Thandwa Mthembu onguMphathi oMkhulu wale Nyuvesi. Uthe lezi zindaba zizobanikeza ugqozi kanye netshisekelo yokuqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla ngaso sonke isikhathi. Uthe kakade vele inhlosongqangi yabo njengabaphathi besikhungo ukuqinisekisa ukuthi sibalwa namanye aseqophelweni eliphezulu ezweni lonke kanye nasemhlabeni nje jikelele. USolwazi Mthembu uqale ukuba yiNhloko yalesi sikhungo ngo-2016. Uthi kusukela lapho kuningi kakhulu ebebekwenza ngokubambisa bezama ukuqiniseki-

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

sa ukuthi le nyuvesi iba seqophelweni eliphezulu ngokweqophelo lemfundo kanjalo nangokwengqalasizinda yesikhungo. Ezwakalisa ukujabula kwakhe uSolwazi Mthembu uthe: “Angifuni ukuqamba amanga lezi zindaba zisijabulisile kakhulu. Futhi zisinikeze nothando olusha lokuqhubeka sisebenze ngokuzikhandla okuphindaphindiwe. Ayikho into ejabulisa ngaphezulu kokwazi ukuthi umsebenzi eniwenzayo uyabonakala futhi uthela izithelo.” Eqhuba uthe okuhle ngokuhlonishwa ngalolu hlobo wukuthi isikhungo sabo sizibeka ebalazweni. Wathi akugcini futhi lapho siphinde sigqamise iNingizimu Afrika ukuthi iyizwe eliyazisa kangakanani imfundo. Nokho uthe akusikhona okokuqala ukuhlonishwa kwale nyuvesi. Uveze ukuthi eminyakeni emibili eyedlule baklonyeliswa yiNational Research Foundation ibahlonipha ngokwezinga lemfundo elitholakala kulesi sikhungo. Uthi isikhathi sokuqhosha asikho kodwa okumele kwenziwe ukuthi kuqhutshekwe kusetshenzwe kanzima ngenhloso yokuqinisekisa impumelelo yalesi sikhungo.


IKHASI 4

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Ukuqubuka komkhuhlane i-Covid-19 kusifundise ukubheka izindlela ezintsha zokwenza, izinto zishintshile kanjalo njengoba sigubha inyanga yamagugu kulo nyaka, izinto zizokwehluka. Ngonyaka ka 2020, uHulumeni wase Ningizimu Afrika uqoke isiqubulo esithi, “Siyizwe lasNingizimu Afrika Sibungaza Izingqalabutho Ezisadla Anhlamvana”, ngokwazi ukuthi amagugu agcina umlando oyisikhumbuzo. Amagugu angezinye zezinto ezisikhumbuza ukuthi singobani. Amasiko, umlando nezakhiwo ezixoxa ngomlando wethu yizona zinto esikwazi ukuzibona ngeso ezisichazayo ukuthi singobani njengabantu bakuleli zwe. Kubalulekile-ke ukuthi ngalo nyaka, kukhethwe ukuthi kugxilwe ezingxenyeni ezingaphatheki zamagugu, kubhekwe kakhulu ukuba kugujwe izimpilo zabantu abasadla anhlamvana ababalulekile emiphakathini yethu. Kule nyanga ka Mandulo, amehlo azobe ethe njo kwezokuvakasha. UHulumeni wase Ningizimu Afrika uqoke isiqubulo se Nyanga yezokuvakasha ka-2020 esithi: ‘Ezokuvakasha Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya’. Lokhu kukhombisa ukuthi abantu bazobe behla benyuka besuka ezindaweni zabo zokuhlala ezejwayelekile behambela izindawo ezisemaphandleni ngenhloso yokuyongcebeleka. Konke lokhu kwenzeka emva kwesihlava sokulahleka kwemisebenzi nokuzika komnotho ngenxa yokhuvethe lwe Covid-19. UHulumeni wentando yeningi uyazibophezela ukuhlonza nokuhlonipha iqhaza elabanjwa abantu bethuthukisa izimpilo zabantu base Ningizimu Afrika ukuze ukuzikhandla kwabo kuhlezi kunkeneneza ezingqondweni zabantu, lokhu kuzokwenzeka ngesikhathi sigubha izimpilo zalabo abasaphila. Sikhumbula iqhawe lomzabalazo elinohlonze nobuholi obuqotho, uMongameli Nelson Mandela ngesikhathi ekhuluma emcimbini wokwembula itshe lika-Enoch Sontonga ngomhlaka 23 ku Mandulo ngo- 1996, ngesikhathi ethi, “Ngesikhathi uHulumeni wethu wokuqala wentando yeningi uthatha isinqumo sokwenza usuku lokugubha amagugu, salwenza lwaba ngoluka zwelonke... sakwenza lokho ngokwazi ukuthi ukungalingani ngakwezomthetho nokucwasana kwesikhathi esedlule kuyinsila nengxenye yomlando wethu. Sasikuqonda kahle ukuthi ukuze izwe lethu likhule liphume emlotheni wokusha elenziwa wona ukwahlukana nokungaboni ngaso linye okwadalwa ubandlululo kumele sethulele isigqoko labo abazinikela ngezimpilo zabo ukufeza iphupho lethu lokwakha umbuso wentando yeningi ongacwasi ngokobuhlanga”. Ngokulandela la mazwi kaMadiba, ukuze i Ningizimu Afrika ibe isizwe esiqotho, uHulumeni kumele ngazikhathi zonke uqhakambise ubunye nokwakha isizwe esinokuzwana nokubambisana.

SEPTHEMBA 2020

Indawo yakithi KwaDukuza inothe ngolwazi oluhlukile nolusabalele oludluliselwe kwizizukulwane ngezizukulwane. Izingqalabutho ezisadla anhlamvana yizona ezisigcinela ulwazi lwendabuko. Lolu lwazi kumele lusetshenziswe yimiphakathi ukufundisa intsha ngezindlela zokuziphatha ezilungile eziqhakambisa Ubuntu. Inyanga ka Mandulo imayelana nokushayela isipikili sokugcina kanye nokutusa ezinye izinhlaka zolwazi obelungatholakali ngesikhathi sengcindezelo nobandlululo. Ukuletha lezi zinhlobo zolwazi, ngabantu abaphilayo njengezinqola zolwazi olumqoka kuzosiza ukubuyisa isithunzi sabantu abayimisinsi yokuzimilela kwa Dukuza ezazicindezelekile ngaphansi kombuso wobandlululo. Ukuhlanganisa ulwazi lwesimanjemanje kanye nalolu olutholakala kulezi zingqalabutho ezithathwa ngokuthi yimithombo eyethembekile yolwazi kuyimizamo yokubuyisela isithunzi kubantu bendabuko. Kuyona yonke inyanga kaMandulo, imigubho yamagugu aseNingizimu Afrika eholwa uMongameli uMnumzane Cyril Ramaphosa imibukiso efakaziza ngamasiko nemikhuba yethu ehlukahlukene izobe ithe chithi saka. Izingqalabutho ezisadla anhlamvana zizobe zisina zidedelana ngezinkulumo ezinohlonze. Sizophinda sisebenzise lenyanga ukubuka lapho siphuma khona, kanye nomlando wethu. Lesi yisikhathi sokugubha labo ababamba iqhaza ekwakhiweni kwezinhlaka ezazifuqa umzabalazo wenkululeko. Kulaba bantu sibalula owayenguMongameli we-African National Congress (ANC), u Chief Albert Luthuli. uLuthuli uqhamuka ezwenikazi elaziwa ngezimpi, elibuye libizwe ngezwekazi lobumnyama ngamanye amazwe omhlaba. uLuthuli wabeka izwekazi i-Afrika ebalazweni ngesikhathi ehlabana ngendondo ye-Nobel Peace Prize ngo-1960. Lapha ekhaya, sizophinda sibungaze Isilo samaZulu, uShaka kaSenzangakhona. Sonke siyalazi igalelo leLembe ekucijeni amabutho ukuze abantu base-Afrika babhekane ngeziqu zamehlo nezimpi zabacindezeli. Impela njengabantu bakwaDukuza siphakanyiswe ukuma emahlombe abanzi amaqhawe, amakhosi kanye namakhozikazi sibe sikakwe wumlando ojulile. Inyanga yokugubha amagugu yenzeka ngesikhathi lapho silwisana nobhubhane lwe Covid-19 okuphinde kube isihlava esigubuzele umhlaba wonke. Udlame lobulili ngesinye isihlava esibhekana naso kuwo wonke amazinga empilo, lapho abantu besifazane namantombazane ephila ngokwesaba. Lezi zihlava zombili zizofakelwa izibuko izingwevu kuzwelonke. Ngenxa ye Covid-19, zonke izinhlelo zizokwethulwa ngobuchwepheshe besimanje, kulokhu kubalwa izinhlelo zomkhandlu wakwaDukuza kanye nenkulumo ka Mongameli yosuku. Nginifisela inyanga yamagugu nezokuvakasha enenjabulo.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


SEPTHEMBA 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 5

BY 2030 ETHEKWINI WILL BE AFRICA’S MOST CARING AND LIVEABLE CITY

Iciko lizishaya isifuba ngoMasipala weTheku

Ababe yingxenye yomcimbi ngonyaka odlule NOKULUNGA MAJOLA “Uxhaso engiluthola eminyangweni ehlukene yoMasipala weTheku ilona elwenze ukuba lomcimbi ube sezingeni okulona njengamanje,” lawa amazwi ka uMnuz Sakheleni Mthethwa ongumhleli womcimbi ogqugquzela amasiko iCokoza Mkhumbane Heritage Festival. Lomcimbi obanjalo ngenyaka ka September wasungulwa ngonyaka ka-2017 ngenhloso yokuqhakambisa amasiko kanye nomculo wesintu ikakhulukazi kubaculi abasafufusa. Ngokusho kukaMthethwa owaziwa ngo Sakhi M, ngenkathi ewuqala lomcimbi waxhaswa i Area Based Management (ABM) yase Cato Manor, eMkhumbane okuyilapho lomcimbi ubanjelwa khona.

Elinye lamaqembu elalinandisa kwi Cikoza Mkhumbane Heritage Festival ngonyaka odlule

“Iminyango engaphansi kuMasipala weTheku ibe nekhulu iqhaza elibambile ekuthuthukiseli lomcimbi njengoba usuqeda unyaka wesine wasungulwa. Kuleminyango ngibala, uArts and Living Culture, ABM, eThekwini Youth kanye neminye engisize ngezinto okubalwa amatende, ukudla, imali yokukhokhela abaculi, iziphuzo, izindlu zangasese ngisho nemali yokukhokhela abaphathi bohlelo,” kusho uMnuz Mthethwa. Nakuba engakabi naso isiqiniseko sokuthi lomcimbi uzoqhubeka yini kulonyaka ngesimo sobhubhane lokhuvethe uthi umnyango waka Arts and Living Culture ubumuthembisile futhi ukuthi uzomxhasa ngakudingayo. “Kuyasiza ukuba nabaxhasi uma wenza umcimbi ngoba kwenza izinto zibelula. Bengifisa ukuba

Ongumsunguli we Cikoza Mkhumbane Heritage Festival uMnuz Sakheleni Mthethwa

lobudlelwane esinabo naleminyango buqhubeke ngoba esikwenzayo sikwenzela umphakathi,” kusho uMnuz Mthethwa. Exoxa kabanzi ngalomcimbi, uthi wawusungula ngenhloso yokugqugquzela ukuzigqqaja kwesizwe esimnyama ngamagugu aso kanjalo nangobusona. “Yingakho siba nabaculi abahlukene abakhombisa amakhono abo emculweni wesintu okubalwa owesicathamiya, umaskanda, indlamu kanye nomculo wokholo. Kubalulekile singabantu ukuthi singayikhohlwa imvelaphi yethu,” kuqhuba uMnuz Mthethwa. Uthi njengoba lomcimbi ubanjelwa eMkhumbane nokuyindawo enomlando obalulekile lapha eThekwini naye ufisa ukwenza omunye umlando omuhle oyokhunjulwa nayizizukulwane.

UMnuz Mthethwa naye ongumculi wokholo abuye abe ngumsakazi esiteshini somphakathi uthi inyanga kaSeptember inyanga ebalulekile kakhulu njengoba isikhumbuza ngemvelaphi yethu. “Nakuba kungafanele ukuba sikhombise ukuzigqaja ngobuthina kulenyanga kuphela kodwa yona yenzelwe ukuba sonke njengama Africa sikhumbuzane futhi sifundisane ngokuyigugu kuthina. Kuningi esikubona kwenzeka ngalenyanga okubalwa noMkhosi woMhlanga nokuwumcimbi odume umhlaba wonke. Lena into yethu yingakho kumele siziqhenye ngayo. Mina nginguMzulu futhi ngiyaziqhenya ngobumina,” kusho uMnuz Mthethwa.

I- Kangaroo ibonga uMasipala weTheku

Iqembu lendlamu i Kangaroo Zulu Dancers uShaka Marine World NOKULUNGA MAJOLA Ukunqoba emqhudelwaneni wendlamu owawubanjenwe uShaka Marine World

ngonyaka ka 2017 kwabavulela amathuba amaningi okuthuthuka njengoba sebeke bahambela namazwe angaphandle ahlukahlukene. Leliqembu elidabuka e Catoridge KaXimba elaziwa ngokuthi 1-Kangaroo Dancers lithi inselelo ababhekana nayo eyokungabi nalo uxhaso uma kufanele baye emazweni angaphandle. “Isifiso sethu esikhulu ukungenela umqudelwano iAmerica’s Got Talent kodwa njalo uma sekumele sihambe siba nenkinga yokungalutholi uxhaso. Sizimisele ukukhombisa ngekhono lethu emazweni angaphandle kanjalo nokuzigqaja ngobuthina singamaAfrica,” kusho omunye wabaphathi baleliqembu uMnuz Vumani Gaza. Ngokusho kukaMnuz Gasa leliqembu liphinde ladla umhlanganiso kulomncintiswano wase uShaka ngonyaka odlule nokubanike ithuba lokuba basebenze khona ngokunandisa baphinde bahehe izivakashi. “AmaKangaroo Dancers yiqembu elikhethekile labadansi abagxile

ezibeni ezahlukahlukene zomdanso wakuleli okubalwa kuzo umdanso wesiZulu (Indlamu), iGumboot Dance, Ushameni , Isikhuza , uMzansi, isiPanstulla kanjalo nesiTswana. Lokhu kusho ngokusobala ukuthi asizikhohliwe singobani futhi sisukaphi imvelaphi yethu,” kusho uMnuz Gasa. Uthi leqembu elinamalunga angaphezu kwamashumi amahlanu asuka eminyakeni engu 9 kuya ku 33, lenzelwa ukuthi intsha isuke emgwaqweni futhi ingazibandakanyi nezidakamizwa. “Ngesikwenzayo siqhakambisa amasiko ethu njengamaZulu siphinde sigqugquzele ezokuvakasha. Njengoba saphinde sanqoba emqudelwaneni waseShaka futhi ngonyaka odlule besisebenza khona kodwa ngenxa yokhuvethe sisamile kodwa uma sekuvuliwe sizoqhubeka futhi nokuheha abavakashi ngomdanso wethu wesintu,” kusho uMnuz Gasa. Ngokunandisa eShaka uthi bayakwazi ukuxosha ikati eziko kanti futhi bakwa-

KONKE KUSEZANDLENI ZAKHO

Ukulwisana nesifo iCovid-19

GEZA IZANDLA NOMA UFAKE ISIBULALIMAGCIWANE • DLALA INDIMA YAKHO • UHLALE UPHEPHILE.

zile ukuthenga imifaniswano yeqembu namatracksuit nokunye okuningi abakudingayo. UMnuz Gasa uthi baziqamba ngokuthi bayi Kangaroo Zulu Dancers ngoba iningi labo labhekana nobunzima ekukhuleni kwalo ukusuka ekuhlukunyezweni ngamazwi nangokwasemzimbeni ngamalungu omndeni kuya embonini yezikaqedisizungu befuna ukuphangwa lona kanye ithalente labo. “Kepha noma ngabe yiziphi izinhlupheko esibhekene nazo, ukuqina emiphefumulweni yethu ngeke kuvumele noma ngubani ukuthi adonse amandla okhokho bethu abasinika wona. NjengamaKangaroo anamandla asebenzisa imilenze yawo yangemuva enamandla ukuvikela bona nezingane zabo ngakho-ke nathi sizovikela, sihloniphe futhi sabelane ngefa ledlozi lethu ngenkathi sigcinana siphephile. Singabadansi beKangaroo Zulu. Amaqhawe akwaZulu kuze kube sekugcineni,” kusho uMnuz Gasa.

NGOKUBAMBISANA SINGAYINQOBA

I CORONAVIRUS

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


IKHASI 6

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

SEPTHEMBA 2020

Umfundisi wasesheshi unikele ngendlu emndenini ohlwempu

UMFU Mzo Sibiya owakhe indlu. TSEPO MOLEFE UQOPHE umlando umfundisi waseSheshi egubha usuku lokuzalwa ngokunikela ngendlu emndenini ohlwempu emuva kokuthinteka ebona kwi-Facebook isakhiwo somuzi omdala obuhlala kuwona esasisesimweni esingagculisi. Uchonywe uphaphe legwalagwala uMfu Mzo Sibiya oluse abazalwane baseSt Raphael’s Parish eSweetwaters eMgungundlovu ngokudla ikhekhe lokubungaza usuku lwakhe lokuzalwa ngendlela engajwayelekile njengoba ehlephulele umndeni wakwa eShowe ngokuwakhela indlu

ehloniphekile futhi enesithunzi. UMfu Sibiya ozalwa khona eShowe kodwa ozinze eMgungundlovu ngenxa yobizo uthe wathinteka emoyeni mhla ebona kwi-Facebook isimo sendlu yomndeni wakwaMajozi singagculisi futhi singawunikezi isithunzi esiwufanele. Uthe le ndlu uyakhe ngaphansi kwenhlangano yakhe engenzi nzuzo i-non profit organisation eyaziwa ngeFast Lane Foundation kayakhiwanga yibandla kodwa akhona amalunga aphonse itshe esivivaneni. “Ngathinteka emoyeni mhla ngibona omunye wodadewethu efake indlu amalunga umuntu echaza ukuthi ngey-

UNKK Nester Majozi egiyela indlu akhelwe yona. omndeni akhelene nawo. Lo dadewethu uma eyichaza indaba yakhe wayefisa ukuba kube noMsamariya olungileyo owayengaphonsa itshe ngenhla ukuze kusizakale lo wa mndeni. Ngempela sabe sesihlanganisa nekomidi elingaphansi kweFast Lane Foundation sibheka ukuthi ngabe yikuphi esingalula ngakho isandla ukuze kusizakale lowa mndeni. UMnu Sibusiso Kunene waseRichards Bay ongusomabhizinisi abuye abe yisisebenzi sikamasipala waseMhlathuze ongomunye owelule isandla ephonsa usimende nezitina zokwakha uthe wathinteka naye uma ezwa uMfu Sibiya echaza ngesimo

somndeni wakwaMajozi. “Ngabe sengihlanganisa nami ngaphonsa esivivaneni kulokho okwakucelwa nguMfu Sibiya ukuze abantu bakwaMajozi basizakale. kusenhlizweni yami ukulekelela abantu abaswele yingakho namanje ngathi uma ngizwa ngazijuba ngabheka ukuthi nginani ephaketheni olungaba wusizo,” usho kanje. UNkk Nester Majozi owakhelwe indlu lapha uhluleke nawukubonga wakhihla esikaNandi ebonga engaphezi ngakwenzelwe nguMfu Sibiya. Uhluleke nawukuphimisa amagama okubonga ngenxa yenjabulo ebimgabhile.

Kuvulwe indawo yosomabhizinisi Imindeni ewu 40 isulwe izinyembezi

ESITHOMBENI kungesikhathi uMkhandlu waseMandeni uphendula isoyi lokwethulwa ngokusemthethweni kweMandeni Youth Enterprise Park (YEP). UKhansela Phindile Sishi ukanye nobuholi obuphezulu bakwaMathonsi Tribal Council kanye nebebemele inkampani iMVSSS Trading Enterprise JV. MAGAYE CELE UMASIPALA waseMandeni uphendule isoyi lokwethulwa ngokusemthethweni kweMandeni Youth Enterprise Park (YEP). IYep kuzoba yindawo lapho abantu abasha abazonikezwa igunya lokuba badayise imikhiqizo yabo bakwazi ukuziphilisa. Lolu wuhlelo olumqoka kakhulu loMkhandlu waseMandeni lokuqinisekisa ukuthi abantu abasha baseMandeni bayabandakanyeka ekuthuthukisweni komnotho wakule ndawo yasemakhaya. Lo Mkhandlu oholwa yiMeya, uKhansela Thabani Mdlalose uzichaza njengoMkhadlu okubeka phambili ukubaluleka kokungashiywa ngaphandle kwabantu abasha ezinhlelweni ezimqoka ikakhulukazi lezo ezimayelana nokuthuthukiswa komnotho wendawo. Inkampani iMV SSSS Trading Entrerprise JV yiyona ezobhekelela ukwakhiwa kweMandeni Youth Enterprise. Yethulwe ngokusemthethweni esizweni sakwaMathonsi ngosuku okuphendulwe ngalo isoyi. IYep izophinda idale namathuba omsebenzi kubantu abasha baseMandeni namaphethelo. Lo msebenzi lo Mkhandlu uhlose ukuthi ube sewuphothuliwe okungenani ngemuva kwezinyanga ezintathu. Lo msebenzi sewuwonke kuvelile ukuthi uzodla imali eshisiwe

ezogcina isinfinyelele ku-R3, 8 Million. Ekhuluma lapha uKhansela Phindile Sishi oyiPhini likaMeya, uchaze lo msebenzi njengomqoka kakhulu. Uthe lomsebenzi ubeka phambili impumelelo yabantu abasha kwezomnotho. Uthe kumqoka ukuba abantu abasha kube khona abakwenzayo ngenhloso yokuthuthukisa umnotho wendawo abahlala kuyona. Ngokusungulwa kwalo msebenzi uthe bewuMkhandlu bahlose ukunikezela ngalelo thuba kubantu abasha baseMandeni. Uchaze abantu abasha njengekusasa lezwe. Wathi ngakho ke kumqoka ukuba bagashiywa ngaphandle ezihlelweni ezibalulekile ezimayelana nonotho. Echaza uKhansela Sishi uthe: “Ngikholwa wukuthi abantu abasha bayikusasa lezwe. Uma sibacija ngendlela efanele angingabazi ukuthi nakanjani bayoba yimpendulo yenkinga yokuzika komnotho ezweni lonke. Yingakho nje uMkhandlu waseMandeni ukubona kubalulekile kakhulu ukulekelelwa kwabantu abasha abanenstshisekelo yokuba nesandla ekuthuthukisweni komnotho waseMandeni.” Ngaphambilini uMeya uMdlalose ngesikhathi ekhuluma naleli phephandaba wathi bahlose ukuqinisekisa ukuthi abantu abasha baseMandeni baphila impilo engcono ngokuthi banikezwe amathuba angcono okuguqula izimpilo zabo.

ABASESITHOMBE ngabanye babantu abangu-40 abathole usizo lweVuma 103 fm ebinikezela ngalo ngokubambisana kanye noMnyango wezokuThuthukiswa Komphakathi KwaZulu Natal.Ongowesihlanu kusuka kwesokunxele nguMnuz. Phumlani Nkwanyana okunguyena oshayela uhlelo iMega Grace Hour. MAGAYE CELE LUNIKEZELE ngosizo emindenini engu-40 entulayo yakwa-A, eMlazi uhlelo lweVuma 103 fm, iMega Grace Hour ngokubambisana noMnyango wezokuThuthukiswa komphakathi KwaZulu Natal, oholwa nguNkk Nonhlahla Khoza. Yonke imindeni inikekelelwe ngegilosa yokudla, izingubo zokugqoka kanye nobhlankethi bokulala. Lolu hlelo olushayelwa nguPhumlani Nkwanyana lungena njalo phakathi nezinsuku ngehora lesihlanu kuze kubumbane elesithupha. Kulona lolu hlelo kunesigatshana esibizwa ngokuthi: “Zesuliwe Izinyembezi,” kulapho abalaleli bohlelo bethola ingqayizivele yethuba lokubika ngezinkinga ababhekene nazo emakhaya. Ngenxa yokuthi bese bebaningi kakhulu abantu abacele usizo kulesi sigatshana, uPhumlani Nkwanyana ubone kungcono ukuba babahlanganise bonke ndawonye maqede babanikeze usizo kanye kanye. Echaza uthe: “Inhloso enkulu wukubona abalaleli bethu ababhekene nezinkinga bekuthola ukusizakala. Kulesi sigatshana sithole abalaleli abaningi ebebecela usizo ngezinto ezahlukene.” Ngenxa yokuba matasa, uNkk Khoza

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

akakwazanga ukuphumelela. Bekukhona uNkk Nombulelo Gebashe onguMqondisi walo Mnyango KwaZulu Natal. Ukuchaze njengento emqoka kakhulu ukunakekelwa kwabantu ikakhukazi kwalabo abadla imbuya ngothi. Uthe kubajabulisile kakhulu njengoMnyango ukuphonsa itshe esivivaneni ngenhloso yokusiza imindeni entulayo. Wenze isethembiso sokuthi nakanjani yonke imindeni engu-40 abayisizile ngalolu suku, bazoqhubeka nokuthi bayinakekele kuze kuphele izinyanga ezintathu ezigcwele. Echaza uthe: “Siyabonga kakhulu kwiVuma 103 fm ethathe isinqumo sokuba ize izongqongqoza kithina icele usizo. Kuyajabulisa ukubona ukuthi basekhona abantu abakukhuthalele ukusiza abanye abantu. Ngokusukuma kwenu namhlanje sisiza abantu abangu-40. Siyabonga kakhulu ngokuzinikela kwenu.” UNkk Sbongile Maphumulo ongomunye wabahlomulile ubonge wanconcoza kwiVuma fm kanjalo nakuMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu Natal. Uthe ungunina wabantwana abathathu wathi ikati lilele eziko selokhu waphelelwa ngumsebenzi wokuba ngunogada ekuqaleni konyaka. “Kukhulu lokhu abasenzele khona namhlanje. Siyabonga kakhulu,” usho kanje.


SEPTHEMBA 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Usuvulwe ngokusemthethweni umgwaqo

uSodolabha Zibuyisile Khuzwayo ehamba nethimba lakhe bevula umgwaqo ngokusemthethweni MAGAYE CELE SEKUZOBA lula kakhulu manje ukuhamba kubantu bakuWard 4, Oyengweni, KwaMaphumulo, enyakatho yesiFundazwe, iKwaZulu Natal. Lokhu kuza ngemuva kokuba iMeya yakhona KwaMaphumulo uKhansela Zibuyisile Khuzwayo-Dlamini ephendule isoyi lokulungiswa kabusha komgwaqo obungemuhle, u-Okhukho Road. Lo msebenzi uzoqinisekisa ukuthi lo mgwaqo angeke usaba wubhuqu, nokuhamba kwezimoto sekuzoba yinto elula. Lo mgwaqo manje usozoba yitiyela elizodala ukuthi kube lula ukuhamba kuwona.

Kuzofakwa namapayipi azoqinisekisa ukuthi awubi manzi. Ukulungiswa kwalo mgwaqo kuzodala namathuba omsebenzi njengoba ukulungiswa kwawo kuzokwenziwa yizinkampani kanye nabantu bakhona KwaMaphumulo. Ngosuku okuphendulwe ngayo isoyi, uKhansela Khuzwayo-Dlamini wethule inkampani, uMzulu OJama JV, wathi yiyona enikezwe ithuba lokuba ilungise umgwaqo, uKhukho uwenze ube sesimweni esifanelekile. Uthe unethemba lokuthi le nkampani izokwenza umsebenzi omuhle futhi oncomekayo. UKhansela Khuzwayo-Dlamini udalule ukuthi ukulungiswa kwalo mgwaqo kuzothatha izinyanga ezingu-16

ezigcwele. Ngemuva kwalezi zinyanga uthe akangabazi ukuthi lo mgwaqo uzobe sewubalwa neminye okulula ukuhamba kuwona. IMeya ibe seyinxusa umphakathi waKwaMaphumulo ukuba ubanikeze isikhathi labo abanikezwe ithuba lokuthi kube yibona abalungisa lo mgwaqo. Uthe: “Ukuze le nkampani izokwazi ukuthi yenze lo msebenzi kahle nangesineke ngiyacela kinina nonke malunga omphakathi ngicela niyibekezelele. Okuyikhona okumqoka kakhulu ukubona lo msebenzi uqala futhi uphothulwa.” Eqhuba uMeya uthe ukulungiswa kwalo mgwaqo kuyingxenye yesethembiso sabo njengoMkhandlu waKwaMaphumulo wokuqinisekisa ukuthi le ndawo ibalwa nezinye zezindawo ezinengqalasizinda eseqophelweni eliphezulu. Ukuchaze njengento emqoka kakhulu ukubaluleka kokulungiswa kwemigwaqo. Mayelana nokubaluleka kokufinyelela kwentuthuko kubantu uthe bazibophezele njengoMkhandlu waKwaMaphumulo ukuqinisekisa ukuthi abantu bakule ndawo intuthuko abayizwa ngendaba kodwa bayibona ngamehlo. “Ukulungiswa kwalo mgwaqo kubalwa nezinhlelo ezimqoka zoMkhandlu wethu zokuqinisekisa ukuthi abantu bakwaMaphumulo intuthuko bayibona ngamehlo kabayizwa ngendaba,” usho kanje Ngokusho kwayo iMeya ukulungiswa kwalo mgwaqo kuzoyiguqula kakhulu impilo yabantu baKwaMaphumulo. Uthe kakade ukulethwa kwentuthuko kumayelana nokuthuthukiswa kwempilo yabantu.

uMgungundlovu nezindlela ezintsha zokuvusa umnotho odunguzelayo

UDKT Dumisani Mhlongo weMPTA, uMnu Mzi Thebolla iMeya yaseMsunduzi noNkz Nozipho Nkosi woMnyango WezoMnotho nezokuVakasha KwaZulu-Natal. TSEPO MOLEFE ABEZOKUVAKASHA eMgungundlovu ngaphansi koMsunduzi Pietermaritzburg Tourism Association (MPTA) bazama izindlela ezintsha zokubuyisela umnotho oye wafadabala kade izwe limisiwe ukusebenza ngenxa yokubheduka kwe-coronavirus. Ithimba labeMPTA ngokubambisana noMasipala waseMsunduzi bebenesigcawu nabezindaba lapho bebechaza khona ngezinhlelo zabo zanonyaka zezokuvakasha njengoba le nyanga uSeptember kungeyamagugu ilanywe ngu-October wona owaziwa ngenyanga yezokuvakasha. Ekhuluma lapha uMnu Mzi Thebolla oyiMeya kuMasipala waseMsunduzi ubalule izinto ezenze lo

masipala waxhuga kwezomnotho lapho eveze ukuthi ukubheduka kwe-corona nokumiswa kokusebenza kwezwe kubange uMgungundlovu walahlekelwa ngumnotho ongena ngezemidlalo ezihlanganisa amashovashova, yi-Comrade Marathon, yiRoyal Agricultural Show neMandela Marathon. “Sibuhlungu ngoba uhlaka lwezokuvakasha lukhahlamezeke kakhulu ngokubheduka kwe-COVID-19. Ukubheduka kweCOVID-19 akugcinanga ngokuthikameza umnotho kuphela kodwa izigidi zabantu baseNingizimu Afrika balahlekelwe yimisebenzi yabo abebephila ngayo. UMsunduzi bewuzuza kakhulu ngobukhona kwemidlalo yePremier Soccer League , yiMandela Marathon, yiRoyal Agricultural Show, amasho-

vashova neComrade Marathon. Singumasipala sizimisele ukungenelela ukubheka ukuthi yikuphi esizokwenza ukulekelela umnotho wethu ikakhulukazi osimama ngokukhulu ukushesha ngezokuvakasha,” usho kanje. Eqhubeka uMnu Thebolla uthe bazongenelela kakhulu emkhakheni wezokuvakasha ngokuthi bahlele idolobha ngokuthi libukeke ukuheha izivakashi noma ngabe bezidlula ngendlela zichezukele eMgungundlovu. “Sizongena sibheke ukuthi yimiphi imithetho esingayichibiyela ukuze ezokuvakasha zigcine zigqamile lapha eMgungundlovu. Lapha sizobambisana nazo zonke izinhlaka kungaba ngezentsha, abesifazane nabantu abaphila nokukhubazeka abasendimeni yezokuvakasha ukuze uMgungundlovu ubuyelwe yisithunzi lesi obuwaziwa ngaso phambilini. Asizuvumela ukuthi leli gebe elivuleke ngokubheduka kweCOVID-19 phakathi kwabadla imbuya ngothi nabacaphuna kusale liqhubeke libonakale noma ngabe lombhedukazwe sewudlulile,” ubeke kanje. UMnu Dumisani Mhlongo onguMqondisi weMPTA uthe unethemba lokuthi ezinyangeni ezizayo indima yezokuvakasha izosimama noma lokho kuzoncika ekutheni lihamba kanjani igciwane le-coronavirus elingena kubantu. Unxuse imikhakha yezokuvakasha esesifundeni saseMgungundlovu ukuba mayibhukule ukubuyisela isithunzi somnotho waseMgungundlovu.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 7 Amadoda asemgungundlovu akhale entabeni ngodlame lwabesifazane

UDKT Muzi Sibiya wehembe elimhlophe ongumphathi woMgungundlovu 107.6 FM ephakathi kwamadoda abesentabeni. TSEPO MOLEFE AKHUSHULELWE entabeni amadoda aseMgungundlovu eyohlunyeleliswa izimilo ngaphansi komkhankaso wokuxwayisa ngodlame lokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane okudla lubi kulezi nsuku. La madoda abekhushulelwe entabeni yaseMbubu eSweetwaters ngabe-Umzansi Youth in Business (UYB) nabe-Arise and Shine Foundation okuyizinhlangano eziholwa yintsha yaseMgungundlovu. UMnu Jabulani Dlamini onguMqondisi we-Arise and Shine uthe izinjongo zabo beyinhlangano ngukwakha ubuntu kumuntu nokumfundisa ngezindlela ezinhle zokuphilisana. “Kube yintokozo ukubona abesilisa bezinikela kulokhu kuhlangana kwasentabeni ebesinakho lokho kusinikeze ithemba lokuthi maningi amadoda ayilambele inhlalakahle emakhaya. Sifuna ukubuyisa isithunzi sethu nokuhlonipheka emphakathini kungathi uma kubonwa umuntu wesilisa kube nabantu abagijima bayozivalela endlini,” ubeke kanje. UMnu Ndumiso Zuma wezokuxhumana e-UYB uthe ukukhuphuka ngamandla kwezibalo zobugebengu esiteshini samaphoyisa asePlessislaer e-Edendale yikhona okubanyakazisile njengoba amacala amaningi enzeka KwaMpumuza ikakhulukazi eSweetawters. “Kuningi okuvelile laphaya njengoba sibuye saba nesigcawu sokubonisana singamadoda. Sithole ukuthi amadoda amaningi imiqondo yawo ilimele idinga ukucangcathwa njengoba yalimala ekukhuleni kwawo ngenxa yokuziphatha budlabha koyise emakhaya. Isiteshi sethu singesesithathu KwaZulu-Natal ngamacala odlame lobulili yingakho sihlele ukulaphana sodwa. Siyaxolisa kwamanye amadoda abephume ngobuningi bawo esigcine siwajikisa ngenxa yokugcina imibandela yeCOVID-19 yokuhlangana njengoba samukele angu-50, kodwa kusijabulisile ukubona abesilisa bayo yonke iminyaka benothando lokwakhiwa komuntu wesilisa,”kusho uMnu Zuma. Lokhu kuhlangana kwamadoda bekuhanjelwe nanguMnu Thubelihle Zondi oyindodana yeNkosi uNsikayezwe Zondi ehola isizwe saKwaMpumuza eMgungundlovu obemele umkhandu wenkosi. Uthe usukumele phezulu ngoba izindawo ezakhele isizwe saKwaMpumuza okuyiSweetwaters kakhulukazi ziningi izigameko esezibikiwe zokuhlukunyezwa nokubulawa kwabesifazane. Uthe uyathemba ukuthi ukuhlanganyela kwamadoda ndawonye kuzosiza ngobak ulapho ezogonyuluka abhodle ngokuwakhathazayo okugcina kuwenza ukuba abe nonya emndenini.


IKHASI 8

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

SEPTHEMBA 2020

Sivubela Intuthuko

EZEMIDLALO uSuthu luthole umqeqeshi onesipiliyoni

U-Allan Freese oqashwe ukusiza u-Ayanda Dlamini kuMaZulu FC THABANI MAPHUMULO AMAZULU FC athole umqeqeshi

onesipiliyoni ozosiza u-Allan Freese obesizana no-Owen Da Gama eqenjini Highlands Park. UFreese oneminyaka

engama-64 uyaziwa ngamagalelo akhe kuHighlands Park nakuPlatinum Stars, usayine inkontileka yonyaka owodwa elekelela u-Ayanda Dlamini osanda kugixabezwa ngomsebenzi wokuqeqesha leli qembu. Lo mqeqeshi odabuka esifundazweni iKwaZulu Natal uthi ujabule kakhulu ngokuzosiza uDlamini oSuthwini.“Ngijabule kakhulu ukuba yinxenye yeqembu ngikholwa ukuthi ngizoba usizo olukhulu kuDlamini. USuthu iqembu elikhulu nelinomlando futhi. Siyazi ukuthi iqembu belingenzi kahle kakhulu esikhathini esidlule kodwa sizimisele ukulisiza iqembu,” kuqhuba Freese.“ Ngiyathemba ukuthi ukusuka esifundazweni iKwaZulu Natal kuzoba nomthelela omuhle. Esifuna ukukwenza ukubeka leli qembu kwelinye

izinga,” esho. Ngonyaka ka-2013 ujoyine iPlatinum Stars ngaphambi kokuba aye kuHighlands Park ngonyaka ka-2015 nokuyilapho ebeyinhloko yomqeqeshi kwisikhungo sokuthuthukisa abadlali. Ngesizini ka-2017/18 uqeqeshe iRoyal Eagles esigabeni seNational First Division washiya waphinde kuLions of the North ukuyosizana no-Owen Da Gama obengumqeqeshi. Laba bobabili bakwazi ukusiza Highlands Park ukuba ibuyele esigabeni esiphezulu. Kuzokhumbuleka ukuthi uSuthu lusanda kunikeza Dlamini umsebenzi wokuqeqesha leli qembu njengoba liqede isizini kuyena obambe izintambo waphinde walusiza ukuvika izembe. Konke lokhu kwenzeke emva kokunikwa ikhefu kobengumqeqeshi waleli qembu uJozef Vukusic.

Owodumo kuChiefs useyogijima phesheya THABANI MAPHUMULO UMDLALI wasemuva owazakhela udumo esagijima eqenjini leKaizer Chiefs

KILE A F I GAS O N U Y A UM ISIFON LEKILE E UM ENA V I U AW KUNG SITESH U NI LE GWE N A ES

uLorenzo Gordinho usayinde iminyaka emibili neqembu laseDenmark iViborg FF. Lo mdlali oneminyaka engama-26 ubesephelelwe yinkontileka neqembu iBidvest Wits ethengwe iTshakuma Tsha

Madzivhandila (TTM). Lo mdlali oseke wagijima imidlalo emithathu eqenjini lesizwe iBafana Bafana wadlala imidlalo engama-26 kwiZitshudeni ukwazile ukusiza leli qembu ligcine liqede lisendaweni yesine kwiLog ye-Absa Premiership njengoba eselibangise eDenmark. “Ngijabule kakhulu sengibheke inselelo entsha eqenjini iViborg,” kusho Gordinho emva kokwethulwa kuleli qembu. “Iqembu elinamaphupho amakhulu ngichazekile A UM KILE indlela okwenA F I zeka ngayo, AS YO G N N U ngendlela E O ISIF ELEKIL okudlalwa ngayo, UM ENA V abadlali abancane U AW KUNG I N abahlaselayo. U LE E M Siyathemba sizokI ESIT wazi ukukhushulelwa esigabeni esikhulu

FAK A I S I FON YO !

UKUGWEMA UKUTHELEKA NGEGCIWANE ECOVID-19

NGIVIKELA WENA, UVIKELA MINA

Umdlali wasemuva uLorenzo Gordinho oseyodlala eDenmark kwiVIborg FC kwiSuper League, Kanti ngizokwenza konke okusemandleni ukusiza iqembu.” kusho Gordinho. Lo mdlali osuka kwinkulisa yeChiefs uke wayakozama inhlanhla eqenjini i-AB Aalborg nakuFulham ngonyaka ka-2017. Lo mdlali uke wagijima nakuBloemfontein Celtic nalapho ebebolekisiwe khona. Abadlali abaningi bakuleli abake bagijima eDenmark benze kahle kakhulu uma ungabheka uSibusiso Zuma obegijima kwiFC Copenhagen, Benedict Vilakazi yena owayegijima kwi-Aalborg BK nakuba adlala isikhathi esincane wabuyela kuleli esezodlala kuMamelodi Sundowns.

031 828 0433 / 082 597 6669

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.