S

Page 1

SIVUBELA Intuthuko

ADVERTISING: (031) 8222 602

FACEBOOK: SIVUBELA INTUTHUKO

JULAYI/AGASTI 2020

SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

LIMAHHALA USHICILELO 49

‘Amaphaphu phansi ngamanzi eThekwini’ kusho uMasipala

Usizi kudlula umlandeli weBucs

iKhasi 8

udaba ekhasini 3.

“We are proud to announce that Hyundai Port Shepstone has been awarded the Dealer of the Year 2019”

Umlayezo kaMeya waKwaDukuza, uKhansela Dolly Govender

iKhasi 2

Halfway Hyundai Port Shepstone

1 Mbango Commercial Centre, Main Harding Road, Port Shepstone PO Box 1620, Port Shepstone, 4240

UMkhandlu kumshikashika lohlelo lokufukula amabhizinisi amancane

iKhasi 7

T 039 312 0222

HYPERLINK “mailto:sicelo@halfwayhyundaips.co.za” \t “_blank” sicelo@halfwayhyundaips.co.za HYPERLINK “http://www.halfwayhyundaiportshepstone.co.za/” \t “_blank” www.halfwayhyundaiportshepstone.co.za T’s & C’s Apply.

T’s & C’s Apply.

T’s & C’s Apply.


IKHASI 2

KWADUKUZA MUNICIPALITY

JULAYI/AGASTI 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

UMLAYEZO KAMEYA WAKWADUKUZA,UKHANSELA DOLLY GOVENDER, WOKUPHETHA INYANGA KAMONGAMELI

IMEYA EBAMBILE KWADUKUZA CLLR. DOLLY GOVENDER

NELSON MANDELA

Ngibingelela kubahlali kanye nalabo ababambe iqhaza kuMaspala waKwaDukuza, Njengoba sesingena onyakeni omusha wezezimali, singene ngendlela engajwayelekile ngenxa yomthelela wobhubhane lwe-COVID-19 emiphakathini yethu nakubasebenzi. Noma kunjalo, siyakuqinisekisa ukuzibophezela kwethu nokuqhubeka nokulwa nalesi sifo ngenkathi siletha izinsiza eziyisisekelo ngendlela ephephile kubo bonke abantu.

INYANGA KAMONGAMELI NELSON MANDELA NGONYAKA KA 2020 Minyaka yonke ngenyanga kaNtulikazi, abantu baseNingizimu Afrika, kanye nomphakathi wamazwe omhlaba bahlonipha uMongameli wethu wangaphambilini uNelson Rolihlahla Mandela emkhosini wokugubha uSuku lweNelson Mandela International Day olwenziwa ngomhla ka-18 enyangeni kaNtulikazi. Selokhu lathulwa ngonyaka ka-2009 lolu suku, luyaqhubeka lugqugquzela abantu ukuthi bathathe isinyathelo sokusiza ukuguqula umhlaba ube ngcono, futhi ngokwenza lokho, bakhe imbumba yomfelandawonye womhlaba wonke wokugquqguzela izenzo ezinhle. Kulo nyaka iNelson Mandela Foundation ikhombe isidingo sokuhlinzekwa kokunikezwa kokudla njengoba inkinga ebangezelelwe yesibhicongo i-COVID-19, izinkulungwane zabantu zizithola zingakwazi ukondla imindeni yazo ngoba ziyehluleka ukuthola imisebenzi noma enye indela yokwenza imali. Isikhumbuzo salo nyaka sikaMandela senzeke lapho isizwe sonke besikhala ngokudlula emhlabeni kwendodakazi encane yakhe uTata Mandela, uZindzi Mandela. Ekuhlonipheni uMadiba, uMasipala waKwaDukuza ngokubambisana neNjabulo Ricardo Charity Foundation kanye noMnyango wezoLimo e-KZN bachithe imizuzu engu-67 bebuyisela eNqolobane Ikhaya Labantwana Abakhubazekile ngendlela yokusungula ingadi yokudla, ukunikela ngokudla, ukunikela ngamathuluzi okulima engadini, nokunikela ngesidlo sasekuseni esinempilo. Ngalolu hlelo, sifuna ukuthi abantu bethu babone amandla abo okwenza uguquko emiphakathini ebazungezile. Sekuyisikhathi sokuthi sisize empini ngokunciphisa ukungalingani ukuze sakhe inkontileka entsha yezenhlalakahle. Lo msebenzi kaMasipala uyingxenye yochungechunge lwemisebenzi yokudlulisa usizo oluphuthumayo lokudla ezindaweni zomphakathi ezibuthaka KwaDukuza, okwenzeka selokhu kwamenyezelwe i-Lockdown. INYANGA YABESIFAZANE KA 2020 Unyaka ka-2020 ngunyaka omkhulu wokulingana ngokobulili, futhi izinzuzo zokulingana ngokobulili akuzona ezabesifazane namantombazane kuphela, kodwa ezawo wonke umuntu impilo yakhe eyoguqulwa ubulungiswa kanye nomhlaba nje ongacwasi. Njengoba siphetha iNyanga kaMandela yalo nyaka futhi singena enyangeni yabesifazane, kufanele sikhumbule futhi sibhekene nezinye izinselelo ezikhona emphakathini wethu, kubandakanya nesifo esihlukumezanayo sobudlova. Njengomphakathi kumele sisukume singabe sisathula! Kungumsebenzi wethu sonke bantu baseNingizimu Afrika ukuqeda isiko lokuthula mayelana nodlame olususelwa ebulilini futhi sibabike abenzi bokubi emaphoyiseni.

Njengesizwe, ngeke sisakwazi ukubukela phansi isikhalo sosizo esivela kulabo abasengozini enkulu phakathi kwethu. Sonke, kungaba semiphakathini yethu noma emakhaya ethu, kumele senze konke esingakwenza ukukhuthaza nokuvikela amalungelo abesifazane, izingane kanye namadoda ahlukunyezwayo.

NOTICE NUMBER

IZELULEKO ZEMEYA NGE-COVID-19

CONTACT

MN: 73/2020

14 Chief Albert Luthuli Street,

• Uma uhlolelwe i-COVID-19 noma waba nomphumela oqinisekisiwe oveza ukuthi usuhaqwe yileli gciwane, kubalulekile impela ukuthi uhlukane nabanye ube sendaweni lapho ungahlangani khona nabanye abantu. • uMnyango wezeMpilo usebenzisana nabalingani bezenhlalo ukusiza ukuba kutholakale indawo yalabo okungenzeka ukuba sebehaqwe noma osekuqinisekisiwe ukuthi sebehaqekile yigciwane bahluswe kwabanye abantu ngoba kubalulekile ukuthi senze yonke imizamo ukunqanda ukusakazeka komphakathi ngaleli gciwane. • Uma uhlolwe ukuthi une-COVID-19 ungacabangi ukuthi uwedwa, khuluma nabathandekayo futhi uhlale unethemba. • Ngeminye imininingwane nokusekelwa kwe-coronavirus, amalungu omphakathi ayakhuthazwa ukuthi athinte izikhungo zokuxhumana zeCOVID-19 ku 0800 029 999. • Uhulumeni unxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bathathe izinyathelo ezinqala ekunciphiseni ukusakazeka kwe-coronavirus ngokulandela imihlahlandlela ye-COVID-19. • Kusezandleni zezakhamizi zonke ukuqinisekisa ukuthi siyasehlisa isivinini sokusabalala kwaleli gciwane. • Kudingeka ukugqoka i-mask uma uphakathi kwabantu, siqhelelane ngebanga elingango-1,5 meter nokuvama ukugeza izandla njalo emva kwesikhashana ukulwa nokusabalala kwe-coronavirus.

KwaDukuza, 4450 P.O Box 72, KwaDukuza, 4450 032 437 5000 www.kwadukuza.gov.za

OPERATING HOURS: Monday to Friday: 09H00 to 15H00 Weekends and public holidays: All offices are closed

SOCIAL MEDIA

IZELULEKO ZEMEYA NGE-GBV

VISION STATEMENT

• Sonke sinesibopho sokuthola kanye nokwelapha izimbangela zodlame olususelwa ebulilini njengokucwasa ngokobulili nokusebenzisa kabi utshwala. • Nakuba ukulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane kuwumbhidlango womphakathi wonkana, abantu besilisa basebancane , kufanele bavelele kulo mzabalazo wokulwa nalesi sihlava. • Ukubika noma iyiphi i-GBV esolwayo, ukunganakwa kwezingane noma ukuxhashazwa, sicela uthinte noma iyiphi kulezi zinombolo ezilandelayo: • ISAPS Crime Stop: 08600 10 111 noma i-SMS Crime Line: 32211 • UMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi amahora angama-24 Center Command: 0800 428 428 (mahhala) • Cela usonhlakahle ovela e-Command Center ngokushayela ku * 120 * 7867 # (mahhala) kunoma iyiphi i-cellular • Abakwa-Child Welfare South Africa: 086 142 4453/011 452 4110 Ngokubambisana singakha umhlaba ongcono. Ukukhombisa ukuhlonipha uMongameli Mandela asinakekele abesifazane nabantwana bethu. Asinakekele labo asebehaqwe nasebechaphazeleke ngemithelela ye-COVID 19 kanye nalabo ababuthakathaka.

“By 2030, KwaDukuza shall be a vibrant city, competing in the global village economically, socially, politically and in a sustainable manner”

PARTNER

2020 AWARD

Sengathi umoya kaNelson Mandela ungahleze usigqugquzela njalo!

UR HA YO

H

U YO

A KEEP NG A

N

A FACE

- GEZA

DL A Z

SHIYE IB

R

DS

AN IZ

N

O WAS

QHEL CE A

,U

IS KA IFO

YO WEA

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

N

KH A

K GQ AS

O

M

R DIST A

COVID-19 Hotline: 0800 029 999


JULAYI/AGASTI 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 3

‘Amaphaphu phansi ngamanzi eThekwini’ kusho uMasipala

Ipayipi ebelilungiswa esingcemeni esiKwaMashu ngaphansi kwe Theku TSEPO MOLEFE UMASIPALA waseThekwini uthi amaphaphu phansi kwizakhamuzi ezisenya-

katho ebezingawatholi amanzi kulandela ukuqhuma kwamapayipi abewaletha kweminye imizi yezigceme ezakhele elokishini laKwaMashu.

Ukungabibikho kwamanzi kulezindawo ezisenyakatho kudale imvunge kubantu bekhala ngokuthi ngabe kuhle okungenani ukube bayaziswa uma ezonqamuka ukuze bazihlinzekele ngabazowasebenzisa ngesikhathi belindile. Esinye isakhamuzi esikhulume naleli phephandaba esicele ukuba ligodlwe igama laso sinxuse ukubambisana kumasipala nomphakathi ngokuthi kube khona izinhlelo zokuwazisa ngezinto ezizowuphazamisa nokuthi umasipala uchaze ukuthi kwenziwani ngalokho ukuze abantu bakuhlomele. Lesi sakhamuzi sithe kulo ludaba lwamanzi ngabe kungcono ukube amakhansela aphumile asho ukuthi kawazukuba khona amanzi ngezinsuku ezithize bese uhlinzeka ngamaloli athwala amanzi ngesikhathi kulungiswa inkinga yokuqhuma kwamapayipi. “Asiphikisani nentuthuko kamasipala kodwa besicela singumphakathi ukuba kubanjiswane nathi. Siyacela ukuba kusetshenziswe zonke izindlela zokuxhumana

nomphakathi ukuze sazi ngezinhlelo zikamasipala. Kulezi nsuku kulula ngoba sekusetshenziswa izinkundla zokuxhumana, kunemisakazo yomphakathi namaphephandaba umasipala ongabamba khona iqhaza ukusazisa ngokwenzekayo,” kusho lesi sakhamuzi. UMnu Msawakhe Mayisela okhulumela uMasipala waseThekwini uvumile ukuthi bebeyazi indaba yokunqamuka kwamanzi ezindaweni ezisenyakatho yeTheku. “Ukunqamuka kwamanzi kudalwe ngukuqhuma kwamapayipi okuyikhona ukwenze ukuba kuphazamiseke ukuhanjiswa kwamanzi emphakathini. Siyabonga ngoba umasipala ukwazile ukusukuma ngokushesha wahlangabezana nokukhala komphakathi njengoba amanzi esebuyisiwe. Umphakathi uyacelwa wehlise umoya ngoba konke sekuxazululekile sebengawasebenzisa amanzi ngendlela yokuwonga,” usho kanje.

Inhlangano engenzi nzuzo esungulwe uMasipala ithole uxhaso lomshini

IMeya yeTheku

uNgqongqoshe wezobuCiko, amasiko, eZemidlalo, kanye nokuNgcebeleka, esiFundazweni iKwaZulu Natal uNkk Hlengiwe Mavimbela okwesokunxele enikezela ngosizo lomshini wokuthunga kubantu benhlangano, iSiyazakha Sewing Club abanentshisekelo yokuthunga. MAGAYE CELE ISIYAZAKHA Sewing Club ebunjwe ngabantu abavela ezindaweni ezahlukene abangenawo amakhaya neyesekwa kakhulu nguMasipala weTheku oholwa nguKhansela Mxolisi Kaunda seyinyelwe yinyoni esandleni njengoba seyithole uxhaso oluvela kuMnyango wezobuCiko, amaSiko, eZemidlalo kanye nokuNgcebeleka esiFundazweni iKwaZulu Natal. Lokhu kuza ngemuva kokuba uNgqongqoshe walo Mnyango, uNkk Hlengiwe Mavimbela enikelele le nhlangano ngomshini wokuthunga. Kuzokukhumbuleka ukuthi ngaphambilini, uNkk Mavimbela wabhema wakholwa yikhono elimangalisayo nelamhlaba umxhwele lokuthunga izikhwama kanye neminye imikhiqizo elavezwa yilaba bathungi ngesikhathi ebavakashele. Laba abanikelelwe baswele imilomo eyizinkulungwane yokuzibongela ngalesi sipho abasichaze njengesimqoka kakhulu kubona. Bathe lo mshini uzobasiza kakhulu ekutheni bakwazi ukusheshe baphothule imikhiqizo yabo abayithungayo mihla namalanga. Ukudlondlobala kwekhono labo lokuthunga bakuchaze njengento emqoka kakhulu. Baphinde babonga kakhulu noMasipala weTheku ngokubeseka kakhulu kwabakwenzayo.

NGOKUBAMBISANA SINGAYINQOBA

I-CORONAVIRUS IMIBUTHANO YOMPHAKATHI AYIKAVUNYELWA NGAPHANSI KWESIGABA SESISITHATHU SOKUVALWA KWEZWE.

YENZA OKUFANELE UKUZE USIZE UNQANDE UKUBHEBHETHEKA KWE-CORONAVIRUS NGOKUZIJWAYEZA INHLANZEKO NOKULANDELA IMIYALELO KAHULUMENI.

KHETHA UKUZIVIKELA WENA KANYE NABANYE. MASIHLANGANYELE UKULWA IMPI YECOVID-19

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


UMASIPALA WAKWADUKUZA

IKHASI 4 ISIZULU

JULAYI/AGASTI 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

UKUQALA UKUSEBENZA NGOKUSEMTHETHWENI NAMAHORA OKUSEBENZA:

ECONOMIC DEVELOPMENT & PLANNING AND YOUTH DEVELOPMENT

uMasipala wakwa Dukuza wazisa umphakathi ukuthi kusuka ngomhla ka-27 ku Ntulikazi 2020 amahhovisi e-Economic Development & Planning and Youth Development Business Unit azovulwa ukuba asetshenziswe umphakathi. Izinhlaka zezinsiza ezizovulwa zimi kanje:

REZONING’S/SUBDIVISIONS/SCHEME AMENDMENTS:

Business License Application, Building Control Applications (okungama, Building Plans nama Inspections), Spatial Planning (SPLUMA Applications), Development Control (okuyi Town Planning), Youth Development O�ce & Local Economic Development Office.

EIA/SCOPING SUBMISSIONS/ENVIRONMENT ENQUIRIES:

Izinhlelo zokusebenza ezifana ne-Outdoor Advertising ne-GIS kuzoqhutshekwa nokwenzelwa ngaphandle namahhovisi ngakho ngalesi sizathu abasebenzi abenza le misebenzi abezukutholakala kalula. Ngenxa yegciwane le Covid-19 nezindlela zokunqanda ukusabalala kwalo ngokushesha, lo Mnyango uhlele ukunciphisa ukuhlangana ubuso nobuso, ikakhulukazi namalungu omphakathi. Ngenxa yalokho, kuzosetshenzwa ngale ndlela elandelayo: ï Izakhamuzi ziyanxuswa ukuba ziqikelele ukuqhubeka nokusebenzisa ubuchwepheshe besimanje ukufaka izicelo noma kukhona ezidinga ukucaciselwa ngakho. ï Abasebenzi bakaMasipala bazongena ngokushintshana (lokhu kusho ukuthi, bazotholakala ehhovisi ngezikhathi ezithile ngesonto), kukhona abazobe besebenzela ehhovisi, abanye besebenzela emakhaya. ï Imihlangano la sibonana khona ubuso nobuso izoncishiswa, kuzodingeka kuhlelelwe kusenesikhathi. Izakhamuzi ziyacelwa ukuba zisebenzise izinsizakuxhumana zesimanje ezifana ne-Microsoft Teams, Zoom kanye nokunye ukuhlela imihlangano nabasebenzi bakaMasipala. Le ndlela yokusebenza ebalulwe ngenhla ichaza ukuthi kuzoba khona inani elincane labasebenzi abazofika endaweni yokusebenza kuzo zonke izinsuku. Ngenxa yalokho, amalungu omphakathi ayanxuswa ukuba eze emahhovisi e-Development Planning uma bengenayo enye indlela yokuxhumana nabasebenzi bakaMaspala. Amalungu omphakathi ahambela amahhovisi ka Masipala ayacelwa ukuba ahloniphe imigomo kaMasipala ebekelwe ukunqanda ukusabalala kwegciwane, kule migomo kubalwa ukufakwa kwezifonyo, ukuhlolwa izinga lokushisa, ukuqhelelana kanye nokufuthwa izandla ngesibulalimagciwane kuzo zonke izintuba zokungena.

kdmspluma@gmail.com Ungaxhumana no: Nksz Tash Madyibi (Tashm@kwadukuza.gov.za)

Kdmenviro@gmail.com Ungaxhumana no: Mnuz Slindelo Khayile (Slindelok@kwadukuza.gov.za) GENERAL ENQUIRIES ON APPLICATIONS: Kdmapplications@gmail.com Ungaxhumana no: Nksz Jolanda Kuzwayo (Jolandak@kwadukuza.gov. za) BUILDING PLAN RETRIEVAL REQUESTS: kdmplansretrieval@gmail.com LOCAL ECONOMIC DEVELOPMENT UNIT ELECTRONIC APPLICATIONS Ungaxhumana no: Nksz Glynnis Peters (GlynnisP@kwadukuza.gov.za) INFORMAL TRADERS PERMIT Ungaxhumana no: Mnuz Nhlanhla Sanga (NhlanhlaS@kwadukuza.gov.za) a). Kukhona abasebenzi ababhekele ukusebenza ngama email, bawathumelele eminyangweni efanele ukuze acutshungulwe kahle. b). Mayelana nohlelo lobuchwepheshe besimanje obuzosetshenziswa, nakhu abafake izicelo okumele bakwazi: i). Uma isicelo sesifakiwe, iziphathimandla zizobala imali zikhiphe ama invoice ziwathumelele kwabafake izicelo ukuze bakhokhe. ii). Abafake izicelo bayanxuswa ukuba bakhokhe besebenzisa ubuchwepheshe besimanje, bafake i-reference number abayitholile bese bethumela nge-email ubufakazi bokuthi bakhokhile.

AMAHORA AMASHA OKUSEBENZA

iii). Asikho isicelo esizocutshungulwa ngaphandle kobufakazi bokuthi bakhokhile

Amalungu omphakathi ayaziswa ngamahora okusebenza amasha, lamahora awokufaka izicelo kanye nokuthola usizo ngemibuzo:

iv). Abafake izicelo bayanxuswa ukuba bagcwalise/noma bathumele izicelo zabo zihambisana nalamaphepha alandelayo:

NgoMsombuluko kuya kuLwesihlanu: 09h00 kuya ku 15h00- Onke amahhovisi e-EDP ngaphandle kwalawa alandelayo:

Bagcwalise basayine wonke ama fomu aphathelene nesicelo esifakwayo, isibonelo, Building Plan For Application form, Advertising Form, SPLUMA form, Section 53 form;

Ngomsombuluko kuya kuLwesihlanu:

• Uhla lokuqinisekisa izinto ezifunekayo zokuthunyelwa kwesicelo eqinisekisa ukuthi yonke imigomo yokufakwa kwesicelo ilandelwe;

09h15 kuya ku 12h30- Building Control and Planning Offices ulwesiThathu nolwesiHlanu: 09h15 kuya ku 12h30- Business Licence Applications uMsombuluko nolwesiNe: 09h00 kuya ku 15h00- ICT Centre, Ukufakwa kwezicelo zoxhaso zezemfundo

• Wonke amaphepha adingakalayo njengengxenye yesicelo, afana namatayitela emizi, incwadi yabameli kanye nokunye; • Wonke lama fomu abalwe ngenhla ayatholakala kwi-website kaMasipala ethi: www.kwadukuza.gov. za noma ungawathola kubasebenzi baka Masipala.

-Ukufaka izicelo zemifundaze kanye neze CAO

• Imibuzo mayelana nenqubekela phambili ngezicelo ingathunyelwa kubasebenzi boMnyango ababhekele ukufakwa kwezicelo, okubalwa izimenenja zeminyango.

Njengoba amahhovisi ezovulwa ukusetshenziswa umphakathi, abazofaka izicelo bayanxuswa ukuba basebenzise ubuchwepheshe besimanje ukuthumela izicelo zabo nokuthola usizo ngemibuzo,

v) Izicelo ezidluliswayo noma izincwadi ezshoyo ukuthi isicelo siphumelele, nezinqumo kuyokwenziwa sekuqediwe ukucubungula izicelo.

bangathumela ngalendlela elandelayo:

c) Abasebenzi boMnyango basatholakala ngama-email kanye nezingcingo ngezikhathi zokusebenza, kodwa umphakathi uyanxuswa ukuba usebenzise ama-email ahlinzekiwe ukubuza imibuzo nokufaka

BUILDING PLANS NE EARLY COMMENCEMENT APPLICATIONS:

izincomo ukuze kuqinisekiswe ukusebenza okusezingeni.

KDMplans@gmail.com | Ungaxhumana no: Nksz Zakithi Cele (zakithi@kwadukuza.gov.za) OUTDOOR ADVERTISING: (kdmadvertising@kwadukuza.gov.za) Ungaxhumana no: Nksz Rushenka Moodley (Rushenkam@kwadukuza.gov.za) BUILDING INSPECTORATE: (buildinginspectorate@gmail.com) Ungaxhumana no: Mnuz Thanda Mhlongo (ThandaM@kwadukuza.gov.za) CONSENT, ENCROACHMENT OR RELAXATION APPLICATIONS:

OKUBALULEKILE: Uma kwenzeka izakhamizi zinesifiso sokuvakashela amahhovisi kaMasipala zilindeleke ukuba afake isicelo somhlangano kusenesikhathi, ziqikelele ukuba zigcine imigomo ebekiwe yokunqanda ukusabalala kwe Covid-19 njengokugcina ibanga elingu 1m nomuntu oseduze, ukuhlolwa izinga lokushisa, nokuhlanza izandla ngesibulalimagciwane. uMasipala unelungelo lokungasemukeli isicelo somhlangano, uma kwenzeka usola ingozi yokusabalala kwegciwane Imigomo ebalulwe ngenhla kuhloswe ngayo ukunqanda ukusabalala kwegciwane, singakujabulela ukubambisana nawe.

KDMconsent@gmail.com | Ungaxhumana no: Nksz Ayanda Ntshangase

Ngemibuzo mayelana nalesi saziso, ungaxhumana no: Mava Ntanta MavaN@kwadukuza.go.za (Development Planning). Wiseman Cele | WisemanC@kwadukuza.

(AyandaN@kwadukuza.gov.za)

go.za (Youth Development Services) Nonhlanhla Khumalo | NonhlanhlaK@kwadukuza.gov.za (Local Economic Development).

KwaDukuza Municipality

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

MN: 72/2020

DEVELOPMENT PLANNING & LED ELECTRONIC SUBMISSIONS:


JULAYI/AGASTI 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 5

UMkhandlu waseMandeni usudla ngokhezolunye noSasol abakwenzela umphakathi wakule ndawo. Uma kunjalo sizozuza okukhulu kule ndawo. Ngikholwa wukuthi nayo iSasol ingazuza okukhulu ngokusebenzisana nathi.” UMnu Mdunge oyisiKhulu esiphezulu sakwaSasol, uthembisile ukuthi bazoqhubeka nokusebenzisana noMasipala waseMandeni. Wathi uyethemba ukuthi lobu budlelwane buzothela izithelo. Ngalo lolu suku iSasol inikezele ngamalitres angu-2000 amaSinitizers ngenhloso yokulekelela lo Mkhandlu ekulweni neCorona.

‘Isithembu inkambiso yakwaZulu; hhayi ekaShembe’ Kungesikhathi iSasol inikezela ngamaSanitizers kuMasipala MAGAYE CELE UMASIPALA waseMandeni, sewuqale ubudlelwane nenye yezinkampani ezinkulu, iSasol. Lobu budlelwano buqinisekiswe yizona zombili lezi zinhlangothi njengoba bezikade zihlangene khona eMandeni ngenhloso yokubheka ukuthi yini engenziwa ngenhloso yokuthi kuhlomule abantu abasha baseMandeni kanye nabantu besifazane bakule ndawo. IMeya yalo

Mkhandlu, uKhansela Thabani Mdlalose uthe okuyikhona okumqoka ukuba kulobu budlelwane kubonakale kuzuza abantu baseMandeni. Uchaze iMandeni njengedawo enothile nenengqalasizinda ezinzile. Ngaleso sizathu ke uthe kulo bubudlelwano kunenhlasi yethemba elokozayo. Okuseqhulwini kubona uthe ukuqinisekisa inhlalonhle kumphakathi. Echaza uthe: “Okuyikhona okuseqhulwini ukuqinisekisa ukuthi abakwaSasol bayasibona isidingo sokuthi kube khona

TSEPO MOLEFE UMAKOTI wakwaShembe eBuhleni eNanda ungene ngonyawu oluhlukile emkhakheni wokubhalwa kwezincwadi njengoba ekhiphe incwadi ecacisa ngesithembu ethi akusiyona imfundiso yebandla lamaNazaretha njengoba abaningi becabanga kodwa siwusiko olwalenziwa kwaZulu ngezizathu zomndeni. UNkk Zanele Shembe uMaButhelezi oyinkosikazi yesibili kaMnu Nhlanhla Shembe oyindodana yeNkosi uThingolwenkosazane Shembe eseyakhothama uthi abantu bazofunda lukhulu ngencwadi yakhe yokuqala ngqa ethi ‘ISITHEMBU INKAMBISO YAKWA-

ZULU; HHAYI EKASHEMBE.’ Engxoxweni ekhethekile naleli phephandaba uNkk Shembe uthe ngale ncwadi uzokhanyisela abantu abaye bezokhonza ebandleni lamaNazaretha ngoba befuna ukuganwa yisithembu. “Okuthatha umfundi ngale ncwadi ngukucaciseleka kahle ngemvelaphi yesithembu njengoba sesigqame ebandleni lakwaShembe. Ngesikhathi uShembe efika nenkolo yobuNazaretha ngo-1910 abantu babekhonza emabandleni omthetho okwakungawasentshonalanga abanye bekholwa kuMvelingqangi bephila ngamasiko. Abathola uShembe babe sebembuza ukuthi bazakungena kanjani kule nkolo ngenxa yempilo ababeyiphila. UShembe wabatshela ukuthi uJehova amthumileyo imthele ukuthi kayile kubantu ukuzobhidliza usikompilo lwabo kepha uze ukuzogcwalisa amazwi kulabo abazovuma ukuthi bona nezindlu zabo bazakumkhonza uJehova,” usho kanje. UNkk Shembe ukhe phezulu ezinye izinto ezaziholela ukuba amadoda aganwe yisithembu. “Endulo bekuthi uma intombi igana kulindeleke ukuba izofike yandise umuzi walapho iganele khona. Uma umakoti eba buthaka emzini ehluleka ukwenza imisebenzi efanele njengokufudumeza ikhaya anelise umyeni wakhe bekuyaye kufanele avume ukutholelwa umlekeleli wendoda ukuze umuzi wendoda uzohlale ufudumele. Kwesinye isikhathi kwakuthi uma inkosikazi ibelethile igoye isikhathi eside ingasondelani nomyeni bese umyeni efuna enye inkosikazi ngesikhathi lena endala isewumdlezane. KwaZulu yayingachithwa inkosikazi uma yonile emzini kodwa yayigeza umuzi ngokona kwayo bese yakhelwa ezansi kwalapho iganele khona. Kokunye uma inkosikazi iganile ingabatholi abantwana kwakuphoqeleka ukuba indoda ithathe enye ngethemba lokuthi entsha izofike izale. Isithembu sakheka ngezimo ezithile ekhaya hhayi ukuthi sisezimfundisweni zikaShembe nobuNazaretha kodwa sasikhona nasendulo,” kubeka uNkk Shembe.

Kufundiswa abakhulile ngokusingatha izidumbu zabashone nge-Corona

IMEYA yaseMsunduzi uMnu Mzimkhulu Thebolla eyamukele osonhlalakahle abangu-21.ISITHOMBE NGU: TSEPO MOLEFE TSEPO MOLEFE KULOKOZA inhlansi yethemba kubantu asebekhulile baseSweetwaters eMgungundlovu abazofundiswa ngokuqonda ukuthi sisingathwa kanjani isidumbu somuntu oshone ngenxa ye-corona njengoba kuzwakala ukuthi bashaya amakhala ngezidumbu ezingasenzelwa imilindelo. Abenhlangano yabantu abasha UMzansi Youth in Business (UYB) bazijubile bangena ekhaleni lempi yokulwa neCOVID-19 ngokuthi bafune osonhlalakahle abangu-21 abazofundisa kabanzi abantu abadala ngokuqonda ingozi ye-corona eze mawala. IMeya yaseMsunduzi uMnu Mzimkhulu Thebolla ngokubambisana noMnyango Wokuthuthukiswa koMphakathi esifundeni saseMgungundlovu bananele ikhwele labe-

UYB abacele ukuxhaswa ngosonhlalakahle abazokwazi ukugadla ngabo uma behambela umuzi nomuzi kufundiswa abantu abadala ngenhlalakahle nangalombhedukazwe ohlalise lubhojozi abantu kulezi nsuku. Labosonhlalakahle kulindeleke ukuba baqale maduze umsebenzi abawucelwe ngabe-UYB. UMnu Nduduzo Zuma oyiChief Executive Officer (CEO) e-UYB uthe bengabantu abasha babone kuyisu elihle lokuthi mabathi bethuthukisa ontanga babo kube ngukuthi abantu abadala nabo kabavalelwe ngaphandle ngolwazi lwezempilo. Uveze ukuthi abantu abadala basele kakhulu ngokuqonda iCOVID-19. “Sithole ukuthi kusenzima kubantu abadala ukwamukela indlela okumele kusingathwe ngayo isidumbu somuntu oshone ngenxa ye-corona. Kabaqondi ukuthi kungani

izidumbu kulezi nsuku zingalali emakhaya kwenziwe umlindelo. Banemibuzo eminingi oyibonayo ukuthi ngeyokuswela ulwazi njengoba bekholelwa ekutheni kumele loyo oshonile isidumbu sakhe kumele silale ekhaya, sigezwe futhi livulwe ibhokisi ngesikhathi kwenziwa inkonzo yokumphelezela. Siyathemba ukuthi izisebenzi zethu ngokubambisana nosonhlalakahle likhulu iqhaza abazolibamba ekulekeleleni abantu abadala ngokuqonda isikhathi samanje nempilo esiphilwa kulezi nsuku njengoba ingafani neyangesikhathi sokukhula kwabo,” usho kanje. Imeya uMnu Thebolla isishayele

ILE IFAK S A G YO A UN UM ISIFON LEKILE E VUM GENA SHI U W A N TE UKU NI LESI E NGW ESA

ihlombe isiqalo se-UYB neNDA sokulekelela umphakathi waseMsunduzi njengoba lo masipala ukleliswe waba ngowesibili kwabanesibalo sabantu abasuleleleka nge-corona esikhula ngesivinini njengoba ulandela waseThekwini. “Sixakekile ngale corona njengoba nsuku zonke sizwa ngokuhlabeka kwabantu esisondelene nabo njengoba abanye babo bezama ukululama abanye ngeshwa badlule emhlabeni. Siyabonga ukubambisana nani ekuzameni ukufundisa abantu ngezindlela ezinhle zokuphila lapho bekhona,” isho kanje imeya.

FAK A ISIF O N YO !

UKUGWEMA UKUTHELEKA NGEGCIWANE ECOVID-19

NGIVIKELA WENA, UVIKELA MINA

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

A UM KILE A ASIF UNG IFONYO ILE IS EK MEL NA U V AWU KUNGE NI U ELE

IM

ESIT


U M A INTUTHUKO S I P A L A -W A K WINTUTHUKO A D U K UPHAMBILI ZA SIVUBELA SIBEKA

IKHASI 6

JULAYI/AGASTI 2020

ISIZULU

UKUGUQULWA KWAMAHORA OKUSEBEZA KWEBHIZINISI KUWO WONKE AMAHHOVISI EZEZIMALI KUBANDAKANYA IMALI ENGENAYO, AMA-CASHIERS KANYE NEMIBUZO YE-ACCOUNT

Ngenxa yegciwane i Covid-19 nezinhlelo zokunqanda ukusabalala ngokushesha kwegciwane, uMasipala wakwa Dukuza uthathe isinqumo sokuthi kusukela zingu 20 ku Ntulikazi 2020 wonke amahhovisi ezezimali ebhilidini i General Justice Mpanza Building nase Nokukhanya Luthuli House azosebenza ngalezikhathi ezilandelayo: UMsombuluko kuya ku Lwesihlanu: Kusuka ngehora lesi 09h00 kuya kwelesi 15h00, wonke amahhovisi ezezimali ngaphandle kwawo Cashier. Kulamahhovisi kubalwa eleRevenue, nemibuzo mayelana nama Account. AMAHORA OKUSEBENZA: UMsombuluko kuya kuLwesihlanu: Kusuka ku 09h15 kuya ku 14h30, wonke amahhovisi oCashier. Ngezimpelasonto nangamaholidi: Wonke amahhovisi avaliwe IZINDLELA ZOKUKHOKHA a) Emahhovisi o Cashier ku Mkhandlu wakwa Dukuza (General Justice Mpanza Building noma eNokukhanya Luthuli House) b) Electronic Fund Transfer (EFT) noma i cellphone banking ehamba nenombolo yokukhokha njengesiqinisekiso sokuthi ubani okhokhile. Umphakathi uyacelwa ukuba uthumele isiqeniseko sokuthi ukhokhile ku ramesh@kwadukuza.gov.za Imininingwane yase bhange yomkhandlu wakwa Dukuza imi kanje: IGAMA LE ACCOUNT:

KwaDukuza Local Municipality

INOMBOLO YE ACCOUNT:

4067627126

IBHANGE:

ABSA CHEQUE

IKHODI YE BRANCH:

632005

c) Ezindaweni ezine EasyPay (Pick n Pay, Checkers, Spar, Woolworths nezinye.) Kungaba lula ukukhokha ngesikhathi uyothenga noma uvakashele izitolo ukuze kunciphe izinga lokusabalala kwegciwane i Corona virus. Sibonga ukubambisana nawe. Ibhalwe imenenja kaMasipal: Mr. NJ Mdakane Tel No: (032) 437 5000 | Civil OfďŹ ces | 14 Chief Albert Luthuli Street KwaDukuza, 4450 P.O. BOX 72, KwaDukuza, 4450

KwaDukuza Municipality

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

MN: 71/2020

COVID-19 Hotline: 0800 029 999


JULAYI/AGASTI 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

UMkhandlu kumshikashika lohlelo lokufukula amabhizinisi amancane

uMasipala uligubhe nezaguga elikaMandela

IMeya yomkhandlu wakwa Maphumulo nethimba layo, lapha bathathwe ngesikhathi behambele izakhamuzi zakulo Masipala esezineminyaka eyevile ekhulwini. Isithombe: Maphumulo Local Municipality Facebook Page SIBULELO DLAMINI

uSodolobha uKhansela Thababni Mdlalose ohlose ukulekelela amabhizinisi amancane akule ndawo ukuze angafadabali MAGAYE CELE UMASIPALA waseMandeni, oGwini olusenyakatho yeKwaZulu Natal usembhidlangweni wokufukula amabhizinisi amancane akule ndawo. Lokhu kuvezwe yilo Masipala kwisitatimende obukade usithumelele abezinda. Kulesi sitatimende lo Masipala oholwa yiMeya, uKhansela Thabani Mdlalose uveza ukuzibophezela kwawo ngenhloso yokufukula osomabhizinisi bendawo. Ukukhahlamezeka kwamanye amabhizinisi okubangelwe wukuntengantenga komnotho ngesinye sezizathu esiholele ekutheni uMasipala waseMandeni ukhethe ukufaka igxalaba ngenhloso yokuhlenga amabhizinisi akule ndawo. Kwisitatiminde kuhlalukile ukuthi

lolu hlelo lokuhlengwa kwamabhizinisi amancane lethiwe elokuthi yiMayoral Covid-19 Business Relief. UMasipala ukuvezile ukuthi udinga labo bantu abanohlelo oluhlabahlosile lokukhulisa amabhizinisi abo. Abazophumelela bazohlomula ngesamba semali esingu-R50 000 kanye nezinye izidingongqangi eziwumgogodla wokusebenza kwebhizinisi. Osomabhizinisi abagxile kweZolimi kanye nabagxile kwezokuVakasha nabo bayanxuswa ukuba bafake izicelo zabo. Kukhuthazwa nabesifazane ukuba bafake izicelo. Abafuna ulwazi olugcwele ngalokhu bangangena kwiWebsite yalo Masipala ethi: www.mandeni.gov.za. Noma bathinte uNkz Zama Mnqayi kule nombolo: 032456 8272.

IKHASI 7

Injabulo beyibhalwe ebusweni kwizaguga ezakhele uMasipala wakwa Maphumulo ngesikhathi kutheleka ithimba eliholwa uMeya uKhansela Zibuyisile Khuzwayo-Dlamini. Njengengxenye yemigubho yenyanga ka Mandela, uMasipala wakwa Maphumulo uhambele zonke izakhamuzi zakwa Maphumulo ezineminyaka eyevile ekhulwini. IMeya yomkhandlu u Khansela Zibuyisile Khuzwayo-Dlamini ubehambela zonke izakhamuzi ezindala, ufike wanikela ngezindodla zokudla kanye nezingubo zokulala. Inhloso ngalolu chungechunge bekungukugubha iqhaza elibanjwe abantu abadala ekwakheni umphakathi osimeme. U Khuzwayo-Dlamini uthe abantu abadala baseduze nenhliziyo yakhe. “Kuyasijabulisa ukuthi sakhele umphakathi onabantu abaningi abaneminyaka eyevile kweyikhulu, siyalijabulela iqha-

za abalibambile ekwakheni imiphakathi yethu, abantu abaningi esibahambele bacishe balingane nowayengu Mongameli u Nelson Mandela, ingakho sikubone kufanele ukuthi sijabulise abantu abadala njengengxenye yemigubho ye Mandela month, “ kusho u Khuzwayo-Dlamini. Lolu chungechunge luqale mhlaka 21 ku Ntulikazi 2020 lwaze lwaphela mhlaka 23 ku Ntulikazi 2020. Phakathi kwabantu abebehamba nethimba lika Meya, uSekela Meya uKhansela u Zama Ncalane, uSomlomo uKhansela Simphiwe Shange kanye namakhansela amawadi akhele uMasipala wakwa Maphumulo. Izakhamuzi zisishayele ihlombe isenzo sika Meya sokukhumbula abantu abadala ngesikhathi esinzima, lapho abantu bebhekene nendlala ngenxa yokubhebhetheka kwegciwane i Covid-19. UMnuz Cebo Zulu uncome igalelo lika Masipala ngokunakekela abantu abadala. “Muhle kakhulu umsebenzi owenziwe uMasipala wakwa Maphumulo ngokulula isandla kubantu asebekhulile, sibuyelwa ithemba lokuthi kuningi okuhle esisazokuhlomula ngaphansi kobuholi obukhona,” kusho u Zulu. Izaguga nazo azisalanga ngaphandle zibonga zinconcoza ngokukhunjulwa yithimba lika Meya. Ugogo umaNcwane Ntuli uthe inhliziyo yakhe iyagxumagxuma yinjabulo ngakwenzelwe uMasipala. “Ngiphelelwe amazwi okubonga umusa ka Masipala ngokusikhumbula nathi uma ugubha impilo yeqhawe elasikhulula ekugcindezelweni, ngiyabonga kakhulu ngakho konke okuhle lo Masipala osenzela khona,” kuphetha ugogo u Ntuli. Izinhlangano ebeziyingxenye umnyango wezokuthuthukiswa komphakathi kanye ne South African Social Security Agency (SASSA).

Ukondla izinkomo kuphundla iphakethe lethu ngaleCOVID-19 TSEPO MOLEFE

LONA ngumhlambi wabantu basemakhaya osuke uzodayiswa ezindalini zakwa-AAMKZN. ISITHOMBE NGU: TSEPO MOLEFE

BAKHALA ngokuphundleka kwephakethe abafuyi baKwaZulu-Natal abadonsa kanzima ngokuhweba ngemfuyo njengoba kumele bondle imihlambi yabo kulandela ukuhamba ngonyawo lonwabu kwezinkomo zabo ezindalini ngenxa yokumiswa kweminye imicimbi emikhulu okuhlatshwa kuyona izinkomo okubangwe ngukubheduka kweCOVID-19. UMnu Bhekizwe Mhlongo ongumlimi ofufusayo eGreytown uthi kuyezwela kuyena kulezi nsuku njengoba kusebusika engakwazi nokuyohweba ngemfuyo endalini. “Sishayeke kakhulu ngaleCOVID-19 njengoba singakwazi ukudayisa izinkomo zethu. Ukumiswa kwemicimbi emakhaya kusithikamezile ngoba ngemfuyo yethu siyakwazi ukucosha ubuchwabalala ukuxosha ikati eziko.

Sibhekene nomthwalo wokuhlale sithenga amabhele ukuze sikwazi ukondla izinkomo zethu zihlale zizinhle,” usho kanje. UMnu Ralph “Jamludi” Aadnesgaad ongomunye wabaqondisi bezindali zakwa-Aadnesgaard And Melouney KwaZulu-Natal (AAMKZN) uzwelane kakhulu nabalimi ngalesi sikhathi sokuvalwa kwezwe njengoba imboni yabo yokuhweba ngemfuyo ithikamezekile nayo. “Siyaqhubeka nezindali zethu kodwa isimo sinzima kakhulu nabafuyi badonsa kanzima njengoba kumele bondle imfuyo yabo. Njengoba kusebusika imfuyo iyashayeka ngenxa yamakhaza. Ukumiswa kwezwe kuthikameze kakhulu ngoba abalimi basuke bethembele ezindalini zethu ukuthi bazohweba kahle kuzona. Kulezi nsuku kunzima ngoba izinkomo ezithengwayo endalini kuba yilezo okusuke kudingeka inyama yazo ezilaheni kuphe-

la. Phambilini bekushesha ngoba abantu bebefika endalini bezobheka izinkomo kungaba ngamajongosi namathole okulobola, ezokwenza imicimbi ehlukahlukene nezizohlatshwa emingcwabeni,” kusho uJamludi. UMnu Thubelihle Zondi onguNobhala we-African Farmers Association in South Africa (AFASA) KwaZulu-Natal uthe kukhona ukudla okusizayo emfuyweni ukuze ihlale yondlekile kungaba sebusika nasehlobo imbala. “Ebusika imfuyo iyakhahlamezeka njengoba utshani busuke bungondlekile kahle ngakho kuhle ukuthi abalimi bathenge amabhele nosawoti lo oyitshe okhothwa yimfuyo. Okunye okusizayo ngukuthi abafuyi kumele bakujwayele ukugoma imfuyo ukuze ikwazi ukumelana namakhaza asebusika,” usho kanje.

Kuqashwe onogada abazoqapha ingqalasizinda yakwaPrasa MAGAYE CELE I-PASSENGER Rail Agency of South Africa (PRASA) isezinhlelweni zokuqasha onogada abalinganiselwa ku-3000 esiFundazweni, abazoqapha ngeso lokhozi ingqalasizinda yezitimela. Lezi zindaba ziqinisekiswe nguMnu Bonisizwe Mpondo onguMlawuli wakwaPrasa. Lolu hlelo, uMnu Mpondo uluchaze

njengoluhlabahlosile noluzokwenza umsebenzi ube lula kubona wokuba bakwazi ukuzilawulela konke okuqhubeka kwingqalasizinda yezitimela. Abazoba semathubeni angcono okuqasheka, uMnu Mpondo uthe yilabo abazobonakala belowazi olunzulu lwalo msebenzi. Uthe: “Sikubeka eqhulwini ukuvikelwa kwengqalasizinda. Yingakho sithathe isinqumo esimqoka sokuba siqashe onogada

abazokwazi ukuthi basenzele lo msebenzi ngempumelelo. Kumqoka kakhulu ukuvikelwa kwemizila kanye nokuvikelwa kwazo qobo izitimela. Namakhebuli nawo kumqoka ukuba avikelwe angebiwa.” Eqhuba uthe bazishaya isifuba ngokunikezela ngendathane yamathuba omsebenzi kwisikhathi esibucayi lapho khona abantu bebhekene nengwadla yokugqoza kwemisebenzi. “Abantu abaningi bal-

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

ahlekelwa wumsebenzi ngalesi sikhathi. KwaPrasa ke siyajabula ngoba thina senza imizamo yokubanikezela ngomsebenzi,” usho kanje. Okunye okuvezwe nguMnu Mpondo wukuthi sebevele sebeqashe abantu abafinyelela ku-500 abazoqinisekisa ukulandelwa kwemigomo ezitimeleni ngenhloso yokugwema ukubhebhetheka kweCorona.


IKHASI 8

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

JULAYI/AGASTI 2020

Sivubela Intuthuko

EZEMIDLALO

Injabulo kubuya eye-PSL THABANI MAPHUMULO

Esithombeni uFortune Makaringe weBucs ebanga ibhola noHlompho Kekana weDowns

I-United emjahweni wokusayinisa owase-Brazil

KUBE yinjabulo kubathandi bebhola likanobhujuzwayo emuva kokuba uSihlalo wePremier Soccer League (PSL) uDkt. Irvin Khoza ememezela ukubuya kwemidlalo mhla zi-08 kuNcwaba. Kuzokhumbuleka ukuthi imidlalo yamiswa emva kokubheduka kwegciwane iCovid-19 ngenyanga kaMashi. Ukubheduka kwaleli gciwane kwaphazamisa umhlaba wonke njengoba kwaphoqa ukuthi kumiswe zonke izinto. Lemidlalo esisele engama-54 kulindeleke ukuthi iqedelwe esifundazweni iGauteng ngenxa yokusabela igciwane ukhuvethe eselibhebhetheke ngamandla. Lesi sinqumo sikaKhoza sishayelwe abaningi izandla ngenxa yokuthi amanye amazwe nawo amisa imidlalo ngenxa yokubheduka kwalomkhuhlane abuyelile enkundleni ayiqedela imidlalo. Le midlalo okulindeleke ukuthi iphothulwe ngomhla zi-05 kuMfumfu izodlalwa ngaphandle kwezibukeli. Isifundazwe

Usizi kudlula umlandeli weBucs

THABANI MAPHUMULO

uGabriel Magalhaes ogijima kwiLille yaseFrance ofunwa amaqembu aseNgilandi

IQEMBU laseNgilandi iManchester United kuvela ukuthi selingene emjahweni wamaqembu afuna ukusayinisa umdlali waseBrazil uGabriel Magalhaes ogijima kuLille yaseFrance, okuke kwavela ukuthi ne-Arsenal iyamfuna. Umqeqeshi we-United u-Ole Gunnar Solskjaer uveze ukuthi uyamdinga umdlali wasemuva ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2020/21 ozodlala noHarry Maguire. Ngokwemibiko yemithombo yezindaba yaphesheya leli qembu limagange ukusayinisa lomdlali oneminyaka engama-22 ukuqinisa udonga lwasemuva olubonakale lubuthaka. Kuvela ukuthi lomdlali ubiza imali elinganiselwa ku-22, 5 million wamaphawundi Kanti maningi namaqembu amgaqele, okuhlanganisa i-Arsenal kanye Chelsea.

iGauteng sibonakala njengomthombo wokusabalala kwaleli gciwane kodwa iPsl iveze ukuthi zizoqiniswa kakhulu ezempilo nokuphepha kwabadlali. Ngenkathi kumiswa imidlalo iKaizer Chiefs iyona ebezihola phambili ilandelwa yiMamelodi Sundowns , endaweni yesithathu kukhona iSupersport Kanye ne-Orlando Pirates kweyesine. Emsileni amaqembu abelengela engozini yokudliwa yizembe iBlack Leopards ebambe ibhuleki , Kube AmaZulu FC alele endaweni yesibili uma usuka emsileni. Kanjalo nakuGlad Africa Championship iqembu ebelizihola phambili yi-Ajax Cape Town ilandelwa yiSwallows FC Kanye noThongathi FC .Ngakolunye uhlangothi kuzoqedelwa nemidlalo eyandulela owamanqamu yeNedbank Cup ehlanganisa amaqembu amane okuyiSundowns ezobhekana neBidvest Wits esithengwe yiTshakuma Tsha Mandzivhandila (TTM) Kanye neBaroka FC ezobhekana neBloemfontein Celtic.

UMandla “Mgijimi” Sindane ongasekho emhlabeni obewumlandeli wokuqina weBucs THABANI MAPHUMULO KUSHAQEKE bonke abathandi bezemidlalo ikakhulukazi abebhola likan-

obhutshuzwayo ngokudlula emhlabeni komlandeli oqavile we-Orlando Pirates uMandla “Mgijimi” Sindane waseMpumelelweni, eMalahleni. Ngokwemibiko le nsizwa ebingapheli emidlalweni yeBucs ilale yangavuka yatholakala ngosuku lwangoMsombuluko ishonile. “Kuyiqiniso ukuthi akasekho unfowethu, ubelokhu ehlushwa ukuphefumula kanzima. Besitshela ukuthi into ejwayelekile ezodlula, samfica endlini yakhe eseshonile,” kuchaza umfowabo uJohannes Sindane. “Ngenkathi ubaba eyombheka umfice eseshonile, Kanti abantu abaningi bathi uke wangena enkundleni zokuxhumana kuFacebook, okwamanje asazi yini ebimphethe njengoba naye ubeseqala ukubancono,” kuphetha uJohannes. Amazwi enduduzo avela kubalandeli, amaqembu ebhola likanobhutshuzwayo alokhu engene njalo emva kokudlula kwaMgijimi obebizwa kanjalo.

031 828 0433 / 082 597 6669

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.