Sivubela Intuthuko Newspaper

Page 1

SIVUBELA Intuthuko

ADVERTISING: (031) 8222 602 JULAYI 2020

FACEBOOK: SIVUBELA INTUTHUKO

SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Babhonge emswanini kudlula uMthembu

LIMAHHALA USHICILELO 48

Ugculisekile ngabakwaPrasa uNgqongqoshe

iKhasi 2

udaba ekhasini 3.

uMnuz Ricardo Mthembu obekhulumela iANC esifundazweni saKwa-Zulu Natali ongasekho.

Bacela uxhaso abashelwa indlu

iKhasi 4

UKhoza uthi izoqedelwa imidlalo yePSL

iKhasi 8


IKHASI 2

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Ugculisekile ngabakwaPrasa uNgqongqoshe

JULAYI 2020

Inyuvesi inikelelwe ngomshini weCovid-19 “Sijabule ngokuhlomula ngomshini osezingeni eliphezulu njengalo. Uzobamba iqhaza ekutheni usilekelele ezimweni ezibucayi okungenzeka sibhekane nazo,” MAGAYE CELE

UNGQONGQOSHE uMnu Bheki Ntuli ngesikhathi ehlola ukugcinwa kwemigomo kwaPrasa. MAGAYE CELE UNGQONGQOSHE weZokuThutha, ukuphepha komphakathi kanye nezokuXhumana KwaZulu Natal, uMnu Bheki Ntuli uhlole ubunjalo besimo sokulungela ukuhamba kwezitimela zakwaPrasa emizileni yaseThekwini. UNtuli ubekhashwa yiMeya yeTheku, uKhansela Mxolisi Kaunda, wuMphathi wakwaPrasa esiFundeni, iTheku, uMnu Dumisane Dube. Bahlole isimo saseDurban Station babheka nokuthi uPrasa ngabe ukulungele kangakanani ukubuya kwezitimela okubandakanya nokugcinwa kwemigomo emqoka yokuzivikela kwiCovid 19. Kuzokumbuleka ukuthi ukuhamba kwezitimela kwamiswa isigubhukane ngoMarch ngemuva kokubheduka kwegciwane iCorona elakhinyabeza izinto eziningi

YEKA

emhlabeni. Phakathi kwezinto ezimqoka ezihlolwe nguNtuli kubalwa ibanga lokuqhelelana kwabagibeli, ukusetshenziswa kwezibulali magciwane kanye nokuqinisekisa ukuthi nabo abasebenzi bakwaPrasa bayayigcina yini imigomo yokugwema iCorona. Kuhlalukile ukuthi uPrasa sewuqashe abantu abangu-300 abazoqinisekisa ukuthi nebala iyagcinwa imigomo ngabagibeli. “Sengikhulumisene nabakwaPrasa. Izinhlelo zokubuya kwezitimela ngaphansi kwemibandela yokuhlonipha imigomo zibonakala zihamba kahle kakhulu. Ngigculisekile kakhulu ngamalungiselelo akwaPrasa. Kumqoka ukuba sizijwayeze imigomo emisha yokusebenza,” kuchaza uNtuli ozwakalise ukukhathazeka ngokubulawa kwezinsiza zakwaPrasa. Kuvelile ukuthi izitimela zizosebenzisa umgomo ka-30 % wabagibeli.

INHLANGANO iGift of the Givers seyiphonse itshe esivivaneni ngokunikelela iNyuvesi yaKwaZulu Natal ngomshini wenani eliphezulu noseqophelweni wokuhlolela iCorona. Lo mshini ungosheshayo kakhulu uma uhlolelela iCorona. UMnyango obhekelele eZempilo nezobuChwepheshe kule nyuvesi yiwona owamukele lesi sipho. Lokhu kuza ngemuva kwesicelo esenziwe yizingcithabuchopho ezenza ucwaningo nezifundisa kuyona le Nyuvesi. Ababehambise lesi sicelo yiloyo osabambe njengoDean eMnyangweni weZocwaningo kule Nyuvesi nophinde abe sekhaleni emkhankasweni wokuhlolela iCorona kule Nyuvesi uSolwazi Anil Chuturgroon, Dkt Vernon Ramsuran kanye noDkt Lona Madurai.

USolwazi Chuturgoon uchaze ngokubaluleka kwalesi sipho: “Lesi sipho esisiphiwe ngabeGift of the Givers sizosisiza ekuhloleleni abasebenzi bethu kanye nabafundi bethu. Sizophinda sikwazi nokuhlolela nabanye okuyilabo abangafundi kulesi isikhungo.” Eqhuba uthe: “Sijabule ngokuhlomula ngomshini osezingeni eliphezulu njengalo. Uzobamba iqhaza ekutheni usilekelele ezimweni ezibucayi okungenzeka sibhekane nazo,” kuchaza uSolwazi Chuturgroon ongawuvali umlomo ngesisiKhungo sakhe athi sibophele ukhilimu wongqondongqondo bezisebenzi ezinobuchule njengoba lo mshini abanikelelwa ngawo waqala ukuhlolwa ukuthi uzosebenza kahle yini kusona lesi siKhungo. Lo mshini uzobekwa ophikweni lwalesi sikhungo iHoward College, eseMbilo, eThekwini.

Mawahlengwe amabhizinisi amancane

• UGWAYI • INSANGU • ISNEMFU MAGAYE CELE

• Hlanza umlomo unuke kahle • Yenziwe ngamakhambi, iphephile

Hlafuna iphilisi 1-2 uma uzizwa uqalekele ukubhema.

417 Anton Lembed Street, Sangro House 522 Call: 067 756 6425

MAKUBE nohlelo oluhlabahlosile lokutakula amabhizinisi amancane angaziki ngenhloso yokugwema ichilo lokulahleka kwendathane yamathuba omsebenzi ngesikhathi esisodwa. Lesi yisiphakamiso esimqoka esenziwe yiNational Planning Committee (NPC), okuwuhlaka olubhekelele ezokuhlela eNingizimu Afrika. Lolu hlaka belwenza izethulo zalo ngomlomo kaDkt Thami Mazwai onguSihlalo wayo emhlanganweni omqoka obumayelana nokubhunga ngezinhlelo zokugcina amabhizinisi amancane ephila ngalesi sikhathi sobhubhane, iCorona. Ngokusho kukaDkt Mazwai acishe afinyelele ku-55 000 amabhizinisi amancane akhahlamezekile ngenxa yokuzika komnotho

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

ngokungabekezeleleki okuvele kwenzeka isigubhukane. Unxenxe nezikhondlakhondla zamabhange ukuba zingawuhlabi inhlali kodwa zilekelele amabhizinisi amancane. Uthe ukuyekelelwa kwamabhizinisi amancane kungaholela kwinhlekelele yokukhula mawala kwezibalo zabadla imbuya ngothi, okuyisimo athe singabonakala sigubazela izwe lonke ngokuphazima kweso uma ingekho imizamo eyenziwayo yokuwahlenga. Uthe: “Ngikholwa wukuthi kumele kube khona okwenziwayo ngokukhulu ukushesha lokhu ukuze amabhizinisi amancane ezoqhubeka nokuphila kulesi sikhathi esinzima. Kodwa ngikholwa wukuthi ngaphandle kukaHulumeni namaBhange nawo akhona angakwenza kulesi simo.”


JULAYI 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 3

Babhonge emswanini kudlula uMthembu uMnuz Ricardo Mthembu obekhulumela iANC esifundazweni saKwa-Zulu Natali ongasekho.

MAGAYE CELE IGQEMEKE engeqiwa ntwala i-African National Congress (ANC) ngokudlula emhlabeni isigubhukane komunye wamalunga ayo, uMnu Ricardo Mthembu (50). UMthembu udlula emhlabeni nje ubesaqhoqhobele isikhundla sokukhulumela i-ANC KwaZulu Natal. Ngaphambilini uMthembu uke waba

yiMeya kumasipala waKwaDukuza, enyakatho yeKwaZulu Natal, waphinda wamela i-ANC esiShayamthetho saKwaZulu Natal. Kuthiwa udlule emhlabeni ngemuva kokuba enqotshwe wubhubhane iCorona eseludlule nezigidi zemiphefumlo emhlabeni jikelele. Izindaba zokudlula kwakhe emhlabeni zishaqise abantu abaningi. UNdunankulu wesiFundazwe, iKwaZulu Natal,

Phansi amaphaphu baphephile odado kwiCorona

MAGAYE CELE YIZE isifo, iCorona sibonakala sigadla kuzwakala nezibalo zabahaqekile zikhula mawala, kodwa ke lubuyisa ithemba ucwaningo lwakamuva olunzulu olwenziwe yiNational Institute of Communi-

cable Diseases okuwuPhiko olucwaninga kabanzi ngezifo ezinhlobobonhlobo ezikhona eNingizimu Afrika. Lolu Phiko lwenze lolu cwaningo ngemuva kokuba kuzwakele ukuthi abazali abanezingane ezincane banovalo lokuthi abantwana babo bangazithola behlaselwa yilolu bhubhane. Nokho ke lolu cwaningo lwalolu Phiko luveze ukuthi zincane kakhulu izibalo esezibikiwe zodado asebehaqwe yilolu bhubhane. Kululo cwaningo olushicilelwe yilolu Phiko luveza ukuthi noma odado bangatheleleka kodwa akuze kufinyelele esigabeni lapho okuthiwa khona kwembulwa kwembeswa. Kulo mbiko oshicilelwe kuyahlaluka ukuthi odado empeleni yibona abaphephile kakhulu kulesi sifo. Lo mbiko uthe u-7% kuphela wodado okuke kwabikwa ukuthi banalesi sifo. Nakhona lapho kuyavela ukuthi bagcina bewuphonsile umbalane.

uMnu Sihle Zikalala lezi zindaba uzichaze njengezibehle ngaphezulu. “Ukudlula emhlabeni kukaMthembu kusiphuce iqabane, ubhuti, futhi umuntu obenomuqondo obukhali futhi enobuntu. Enjalo nje enobuholi obungajwayelekile,” usho kanje. NoNgqongqoshe wezokubusa nokubambisana nezindaba zomdaba KwaZulu Natal, uMnu Sipho Hlomuka Ngokwalo mbiko walolu Phiko mancane amathuba okuthi odado abasukela eminyakeni engu-5 kuya phezulu ukuba babe yizisulu zeCorona. Akungabazeki ukuthi lo mbiko ufana noju kubazali ebebenetwetwe beseba ukuthi abantwana babo kungenzeka bagcina bebe wumhlatshelo walolu bhubhane.

Luzotakula intsha uhlelo imask4all MAGAYE CELE NGENHLOSO yokuqinisekisa ukuthi abantu abasha abaphenduki ondingasithebeni sekusungulwe uhlelo lokwakhiwa kwezifonyo nolubandakanya intsha evela emalokishini ehlukene aseNingizimu Afrika nolwethiwe elokuthi yiMask4All. Lolu hlelo luchazwa njengoluhlabahlosile kwazise luzosiza ekutheni abantu abasha abanentshisekelo

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

naye ubhonge emsweneni ngalezi zindaba zokudlula emhlabeni kukaMthembu. “Ngalesi sikhathi esinzima lapho izwe lonkana kanye nesiFundazwe sethu sisempini yokulwa neCovid 19 kusethusile ukudlula komunye wabebephambili ekulweni nalolu bhubhane,” usho kanje. UMthembu abanye bamchaze njengomuntu obekubeka eqhulwini ngaso sonke isikhathi ukulekelelwa kwabanye abantu, lokho ubekwenza esebenzisa iNjabulo Ricardo Charity Foundation. UNkz Phumlile Zulu onguMkhulumeli woMkhandlu waKwaDukuza uchaze uMthembu njengo muholi onohlonze nobesebenza ngokukhulu ukuzikhandla. “UMthembu uqale ukuba yiMeya la KwaDukuza ngo-2011 kade eyiKhansela. UbenguMholi ozithobile futhi obazisayo abanye abantu, “ usho kanje. Ubuye waveza nokuthi kunento angasoze wayilibala ngoMthembu. Uthe “ Ngo-2011 sikanye naye saqala uhlelo lomfundaze waKwaDukuza. Sathi sisanda kuwuthola nje kwaqhamuka omunye umfundi owayeshoda ngemali yokwenza iMedicine enyuvesi nokuyilapho uMthembu amkhokhela ngemali yakhe ,sikhuluma nje sinodokotela kwaDukuza ngomusa wakhe, “ echaza. Wajoyina uKhongolose esayibhobhodleyana lomfana elineminyaka 16. Kusekela lapho akabange esabheka emuva uqhubekile wadlondlobala kwezePolitiki.Ngokuzalwa ungowaseMacambini, eMandeni. UMthembu emhlabeni ushiye umkakhe, kanye nabantwana bakhe. Kusenjalo kuphinde kwazwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kweKhansela laseMlaza, uNkk Nomusa Mthembu (71).

yokuthunga bakwazi ukubeka isinkwa etafuleni.Oqinisekise lezi zindaba nguDkt Tashmia Ismail-Seville oyisikhulu esiphezulu seYouth Employement Service (Yes) okuyinkampani esekhaleni emkhankasweni wokuqinisekisa ukuphumelela kwalolu hlelo. Kwisitatimende asithumelele abezindaba uveze ukuthi kwiMask4ALL abantu abasha bazothunga izifonyo zezinkampani ezahlukene ezingu-12 000. Lokhu ke uthe kuzoholela ekutheni kwilokishi ngalinye kugayeke imali efinyelela kwisigidi esisodwa samaRandi. Uthe seyivele iyalokoza inhlansi yethemba ngokuphumelela kwalolu hlelo njengoba ethe sebethola i-oda elivela phesheya kwezilwandle eBelgium. Uthe okuyikhona okuseqhulwini kubona ukuqinisekisa ukuthi abantu abasha baseNingizimu Afrika bayawathola amathuba omsebenzi yize iNingizimu Afrika isabhekene nesimo esibucayi sokuntengantenga komnotho.“Lolu hlelo lumqoka kakhulu. Luhlose ukusiza abantu abasha abangasebenzi ukuze nabo kube khona abakuzuzayo ngalesi sikhathi,” echaza.


IKHASI 4

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

JULAYI 2020

UMhlathuze utshale izigidi Bacela uxhaso abashelwa indlu ukuqeda inkinga yamanzi eskhaleni

Ugogo Philisiwe Madolwana ucela uxhaso ngezinto zokwakha nezasendlini NOKULUNGA MAJOLA

Amanye wamapayipi aseqalile ukushintshwa ngaphansi kohlelo kwamasipala uMhlathuze lokusabalalisa amanzi kwizindawo ezakhelene naseSkhaleni MAKHOSI MNGOMA UMASIPALA uMhlathuze osenyakatho nesifundazwe iKwaZulu Natal oholwa uMduduzi Mhlongo usuphasise uhlelo lweminyaka emithathu lokuzama ukulwisana nezinselelo zamanzi kwizindawo ezakhelene naseSkhaleni. Ingaphezulu kuka-R24 million wezigidi zamarandi otshalwe kwisiphehli samanzi eCubhu, okuhlanganisa ukushintshwa kwamapayipi kanjalo neliya eDlangezwa elizosiza kakhulu kwinselelo yamanzi. Imali engango-R10 million yona itshalwe ukuthenga amaGenerator kadizili kwisiphehli saseCubhu.

Kulindeleke ukuthi lamaGenerator asebenze kakhulu Uma kuhamba ugesi ukuphehla amanzi, kwazise ukuhamba kwagesi Kuba nomthelela ongemuhle ekuphampeni amanzi ukuze akwazi ukusabalala kumphakathi ohlanganisa ilokishi laseSkhaleni, eGobandlovu, Port Dunford,. Dlangezwa, Msasandla, Felixton kuze kuyofika eMthunzini. Lo masipala uzophinde ushintshe namapayipi asemadala asuka eCubhu ukusabalalisa amanzi emphakathini nasehlale iminyaka engaphezulu kwemithathu. KunamaWardi amaningi azohlomula ngalolu hlelo ngaphansi kweNkosi uMkhwanazi.

UCELA uxhaso umdeni wakwaMadolwana eWaterloo emva kokuba indlu yabo yasha yangqongqa ngenyanga ka Febhuwari nonyaka. Lomndeni onamalunga angama-11 uthi isimo asisishle kulelikhaya njengoba behlala emijondolo futhi becinene. Ugogo Philisiwe Madolawana ona 70 uhlala namadodakazi akhe amabili kanye nabazukulu abayisithupha emjondolo oyikamelo elilodwa. Abantwana balinganiselwa eminyakeni emibili kuya kweyishumi kanti omncane kunabo bonke unezinyanga eziyisishiyagalolunye. Ngokusho kuka gogo Madolwana indlu yasha emva kokuba kwakucime ugesi nokusolakala ukuthi ngenkathi usubuya kwaba khona okuthintekayo kwase kuthungeleka umlilo. “Ngafonelwa indodakazi yami ngese Verulam lapho ngizidayisela khona ingitshela ukuthi kuyasha endlini. Ngathuka ngoma ngoba ngangihambe ugesi ungekho,”

kusho ugogo Madolwana. Uthi umndeni wakhe uhlezi kabuhlungu njengoba bengakabi nawo amandla okwakha. “Okubuhlungu kakhulu sihleli simpintshene endlini eyodwa nabazukulu. Abafana bahlala komunye umjondolo. Besingacela nje usizo kunoma ubani ongalula isindla ngezinto zokugqoka nezokwakha,” kusho ugogo Madolwana. Ngokusho kwalomndeni kwasha yonke into eyayisendlini basala nezimpahlana ezincane abakwazi ukuthi baqala ngaze kabusha. “Savele saludiliza nodonga ngoba yayingeke isalungiseka iding aukuqalwa phansi. Bakhona osomabhizinisi basendaweni asebesisizile basilethela amabhulokisi okwakha angu 400, isihlabathi kanye namatshe. Kusekuningi esishoda ngakho njengosimende, izinto zasendlini kodwa singajabulela nona iluphi uxhaso esingaluthola,” kubeka ugogo Madolwana. Lomndeni uthi usuzamile konke okusemandleni ukuthi bakhe kodwa akukho okulungayo ngoba imali yempesheni kanye neyesondlo sezingane yanele ukuba badle baphinde bagqoke njengoba besaqongelela izinto. “Angifisi ukufa ngishiye abantwana bami bekulesimo. Umoya wami ngeke uphumule uma bengenalo ikhaya engibashiya nalo ngisho ngabe kuthiwa ihholo akusenani kodwa kuyobe kuyikhaya,” kuzikhalela ugogo Madolwana. Njengoba kuyisikhathi sasebusika lomndeni uthi kuyazwela njengoba behleli kulomkhukhu obandayo uma kubanda ushishe uma kushisa. “Isifiso sami nje esikhulu ukubashiya benekhaya ngoba uma ngingasekho koba nzima ukuba bakhe njengoba engekho osebenzayo ekhaya,” kusho ugogo Madolwana.

Kugqugquzelwe intsha ukuba ibambe iqhaza ekuthuthukiseni umnotho wedolobha

Oyimeya yeTheku ukhansela Mxolisi Kaunda kanye nezinye zezikhulumi emhlanganweni obuphakathi kwezikhulu zikamasipala nabaholi bentsha

NOKULUNGA MAJOLA INTSHA ikhala ngokungaqeqeshwa

ngamakhono adingekayo esikhathini samanje kanye nolwazi lokusungulwa nokugcinwa kwamabhizinisi amancane. Lokhu kuvele emhlanganweni obubanjelwe eThekwini lapho bekuhlangene khona

izikhulu zikaMasipala weTheku kanye nabaholi bentsha. Kulomhlangano bekubhungwa ngembangela yezinkinga ezikhungethe intsha esikhathini samanje. Lentsha iphinde yaphakamisa ukuthi kuphasiswe imithetho yamabhizinisi engeke icindezele osomabhizinisi abasafufusa, kuphinde kusheshiswe nokukhishwa kwamalayisensi amabhizinisi kanye nosizo lwezimali. Ithi kumele kubhekwe izinhlelo ezingasiza intsha ngesikhathi sikathaqa kanye nezindlela intsha engasiza ngayo emphakathini. Kulomhlangano bekukhona nentsha ephila nokukhubazeka. UMnuz Nkosinathi Langa obemele intsha uthe akujabulela kakhulu ngalo mhlangano ukuthi uvulele abantu abaphila nokukhubazeka ithuba lokudlulisa izikhalo zabo. Uthe bayazi ukuthi zikhona izinhlelo ezibhekelela abantu abaphila nokukhubazeka kodwa azibasizi ngendlela efanele. “Abantu abaphila nokukhubazeka kumele bahlomule ngendlela efanayo nabangenakho ezinhlelweni zikahulumeni. Siyakudinga ukuthola ithuba lokuzibonakalisa

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

ngoba nathi singabantu futhi sinemindeni okumele siyondle,” kusho uMnuz Langa. Oyimeya yeTheku ukhansela Mxolisi Kuanda ugqugquzele intsha ukuba ibambe iqhaza ezinhlelweni zokuphucula izimpilo zayo iphinde iqhamuke namasu azoyivulela amathuba ikwazi ukuba yingxenye yezinhlelo zokuthuthukisa umnotho wedolobha. UKaunda uqinisekise intsha ukuthi umasipala uzimisele ngokuyilekelela nokulandelela konke ekuphakamisile. Ubonge ukuthi intsha isukumele phezulu uma idingeka emhlanganweni wokudingida ngekusasa layo, wathi kumele ilekelelwe kukho konke ekudingayo ngoba iyona eyenza ingxenye enkulu yezakhamuzi zakuleli. “Intsha iyithuluzi elibalulekile nokumele lisetshenziswe kakhulu ekusungulweni kwezinhlelo ezintsha ezizokhipha idolobha nezwe enhluphekweni. Sizibophezele ekuphuculeni izimpilo zentsha, sinazo nezinhlelo ezibhekelela konke ekudingayo eziqhutshwa ihhovisi lokuThuthukiswa kweNtsha neminye iminyango kamasipala,” kusho uKaunda.


JULAYI 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 5

BY 2030 ETHEKWINI WILL BE AFRICA’S MOST CARING AND LIVEABLE CITY

Kukhuzwa ukubulawa kwesibhuda

uNdunankulu wesiFundazwe, uMnu Sihle Zikalala ekanye neMeya yeTheku, uKhansela Mxolisi Kaunda ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni inyanga yamadoda eNanda. MAGAYE CELE IMEYA yeTheku uKhansela Mxolisi Kaunda seyihlabe ikhwelo ikhuza isihlava esingesihle esesiphenduke insakavukela umchilo wesidwaba muva nje sokubulawa ngesihluku kwabantu besifazane. IMeya, uKaunda izwakalise ukukhathazeka kwayo ngalesi simo esibonakala sigubazela iNingizimu Afrika yonkana. Ubekade ekhuluma namadoda ngenyanga yawo njengoba uJuly waziwa njengenyanga yawo. UbeseNanda entshonalanga yeTheku lapho obekunemashi

khona yokulwa nalesi sihlava. Kuzokhumbuleka ukuthi iNanda ingenye yezindawo esibekelwe kakhulu yileli fu. Nyakenye kubikwe amacala afinyelela ku-600 okubulawa kwabesifazane. Yilesi simo ke uMeya uKaunda athi amadoda aqotho kumele abhukule abhekane nje naso ngqo. “Kumqoka ukuba silwe nalesi simo esingesihle esibhekene naso njengamanje. Kungumsebenzi wethu sonke njengamadoda ukulwa silwele abesifazane. Sonke njengomphakathi kumqoka ukuba sibambisane ngenhloso yokunqoba

Lapha kungesikhathi iMeya yeTheku, uKhansela Mxolisi Kaunda ekanye noNdunankulu wesiFundazwe saKwaZulu Natal, uMnu Sihle Zikalala behola imashi,ebiseNanda yokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane, neqondaniswe nenyanga yamadoda. lesi simo,” kuchaza iMeya yeTheku uKhansela uKaunda. Wonke amacala amayelana nokubulawa kwabesifazane, uNdunakulu wesiFundazwe saKwaZulu Natal, uMnu Sihle Zikalala uthe azolandelwa aphathwe ngokhulu ukucophelela. Uthembise ukuthi alikho nelilodwa icala leli elimayelana nokuhlukunyezwa komuntu wesifazane elingavese lishabalale nje kalula selibikiwe kwabomthetho. Umthelela ongemuhle katshwala ekuhlukunyezweni kwabesifazane kuvele ukuthi mkhulu njengoba sikhule kakhulu isibalo sokubulawa nokuhlukunyez-

UMeya utuse amaZayoni

Mnumzane Samelihle Mbanjwa ekanye neMeya yeTheku, uKhansela Mxolisi Kaunda MAGAYE CELE INHLANGANO emele amaZayoni, kuzwelonke, uHlangana Zayoni seyinxuse amadoda ukuba abukele kuloyo owabe enguMengameli wokuqala wentando yeningi, uDkt Nelson Mandela owayekwazi ukuxazulula izinkinga ngobuhlakani ngaphandle kodlame. Lo myalezo omqoka kangaka udluliswe nguDkt Thulani Gwala onguSihlalo wale nhlangano ayisungula ngo-2009. Ubekade ekhuluma enkonzweni ebih-

Amalunga enhlangano emele amaZayoni kanye ne Meya ye Theku uMxolisi Kaunda langanise abazalwane abangevile ku-50, ebikade iqhubeka eDurban Station. “Njengoba kuyinyanga yamadoda nje kumqoka ukuba silishumayele ivangeli lokwakhiwa kwamadoda angenalo udlame. Amadoda kumele kube ngabantu abakwaziyo ukuthanda nokunakekela imindeni yawo,” usho kanje uGwala. Inhlosongqangi yale nkonzo bekuwukuzokwethula ngokusemthethweni kwengoma ehlangangiswe ngamalungu aseZayoni, le ngoma iZayoni ziyiqophe ngenhloso yokuqwashisa ngesifo

iCorona. Isihloko sayo sithi: “Yehla Moya.” Umbono wengoma kuvelile ukuthi uqhamuke, noMnu Wiseman Dube onguMphathi wamaciko aseZayoni. IMeya yeTheku, uMxolisi Kaunda usishayele ihlombe isenzo sale nhlangano. Wathi kube ngumbono oncomekayo ukuqamba ingoma eqwashisa ngeCorona. Unxuse nambandla ukuthi angazitheli ngabandayo kube khona akwenzayo ngenhloso yokulwa neCorona.

Sicela uxhumane noMasipala weTheku ngalezi zindlela uma unenkinga ephathelene namanzi okanye ukuthuthwa kwendle:

WhatsApp - 073 148 3477, Noma ushayele le nombolo 080 311 1111 kanti futhi ungathumela ne-Email ku-eservices@durban.gov.za

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

wa kwabesifazane ngemuva kokuba kugunyazwe ukuphuzwa kukatshwala, kade kuvaliwe ngenxa yeCovid-19.

iHabit For Humanity SA noMasipala weTheku ekwakhiweni kwezindlu zabaswele MAGAYE CELE UTHELA izithelo ezinhle umkhankaso wokutakulwa kwabaswele owasungulwa ngo-2008, usungulwa yinhlangano, iHabitat For Humanity SA ngokubambisana kanye noMasipla weTheku, kanye nomphakathi waseMgababa kuWard 99 no-100, kanye noMnyango wezoKuhlaliswa kwabantu kuzwelonke. Lokhu kuza ngemuva kokuba le nhlangano ikanye neNelson Mandela Foundation bezokhumbula uDkt Nelson Mandela ngokuthi kwakhelwe abaswele imipheme yokukhosela. Le nhlangano ikholelwa ekutheni ingabumbeka iNingizimu Afrika enenhlalonhle okuyinto uTata ayephupha ngayo, inqobo nje uma kusetshenzwa ngokubambisana. Kuzokhumbuleka ukuthi le nhlangano yahlonzwa njengezobhekelela izidingongqangi zabantu. Eminyakeni eyedlule nakhu osekwenziwe yile nhlangano. Ngo-2008 yeseke ngamandla ukudlondlobala kwemiphakathi eminxeni eyehlukene. Ngo-2014 ifake isandla ekuqinisekiseni ukuthi bayanxeshezelwa futhi bathola izinsiza abantu baseMgababa. Ngo-2015 beyigxile ekuqikekeleni ukuthi abacindezelwe kanye nabaswele baseMgababa bathola amathuba angcono okuphila. Ngo-2016 yethule uhlaka iCommunity Action Plan (CAP) nolwalubeka eqhulwini izidingongqangi zomphakathi. Yaphinda yaqinisekisa ekuvalweni kwegebe ekunikezelweni kwezidingo. Ngo-2017 yaba sekhaleni lezingxoxo zokuthi kubhekelelwe izidingo zemiphakathi eyabe ibhekene nengwadla yokugqoza kwezinsiza. Ngo-2018 yahlonzwa nguMnyango wezoKuhlaliswa kwabantu KwaZulu Natal ukuthi isebenze nomphakathi waseMgababa ekwakhiweni kwezindlu eziyinkulungwane. Nakulo nyaka ka 2020 lenhlangano iyaqhubeka nokuphonsa itshe esivivaneni njengoba yakhela abantu baseMgababa izindlu kule nyanga ka July ngenhloso yokukhumbula uMadiba.


IKHASI 6

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

JULAYI 2020

Kuhlomule abaswele kwaDukuza “Kumqoka ukuba kuqinisekiswe ukuthi akekho umuntu obulawa yindlala ngalesi sikhathi esimbi iNingizimu Afrika ebhekene naso. Sizozama ngakho konke okusemandleni ethu ukulekelela lapho okudingakala khona.” MAGAYE CELE

uNgqonqoshe wezokuThuthukiswa, KwaZulu Natali uNkk Nonhlanhla Khoza ekanye no Mnu Vusi Khumalo ongisihlalo wenhlangano iSiyasizana

INHLANGANO engenzi nzunzo, iSiyasizana Network ngokubambisana noMnyango wezokuThuthukiswa komphakathi KwaZulu Natal bafingqe imikhono banikezela ngosizo emindenini entulayo yaKwadukuza, oGwini olusenyakatho yeKwaZulu Natal. Imindeni ehlomulile lapha ingaphezulu kwekhulu, beyivela kuWard 9 no-10. Izindawo okuyizona ebezibhekelelwe kakhulu yikwaMnyundwini, Hangus kanye naseGqumeni. UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa komphakathi KwaZulu Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza ukuchaze njengento eseqhulwini ukunikezela ngezidingongqangi kubantu kulesi

sikhathi esibucayi sokubhoka kobhubhane, iCorona. Uthe njengoHulumeni bayakuqonda kahle kamhlophe ukuthi miningi imindeni osekulele ikati eziko kuyona ngenxa yokugqoza kwamathuba omsebenzi okubangelwe yiCorona ehlasele umhlaba wonke isigubhukane. Uthe: “Kumqoka ukuba kuqinisekiswe ukuthi akekho umuntu obulawa yindlala ngalesi sikhathi esimbi iNingizimu Afrika ebhekene naso. Sizozama ngakho konke okusemandleni ethu ukulekelela lapho okudingakala khona.” USihlalo wenhlangano iSiyasizana, uMnu Vusi Khumalo uthe bakuqaphelile ukukhahlamezeka kwemindeni eminingi kulesi sikhathi. Uthe yingakho bekhethe ukunxenxa

Abezokuvakasha eMsunduzi naseNDZ bavuleke amehlo ngeCOVID-19

UMNU Lwazi Nsele onguSihlalo woMsunduzi Pietermaritzburg Tourism Association (MPTA). IZITHOMBE NGU: TSEPO MOLEFE

IMEYA yaseNDZ uNkz Ngeneleni Mncwabe. TSEPO MOLEFE ABEZOKUVAKASHA eMgungundlovu bathi ukugadla kweCOVID-19 kubavule amehlo ngokukwazi ukuhlomela zonke izimo ezigcina ziphazamisa ukusebenza kwabo njengoba sebefunde kabanzi ngokubaluleka kokusebenzisa izinkundla zokuxhumana ngonhloso yokunikeza ulwazi abantu abakhonze ukuvakasha. UMnu Lwazi Nsele onguSihlalo woMsun-

duzi Pietermaritzburg Tourism Association (MPTA) uthi ukuhlasela ngamandla kwe-Coronavirus kufana neva eliphukele ezinhliziyweni zabo endimeni yezokuvakasha ngoba lo mkhakha yiwona owumgogodla ekuthuthukiseni ezomnotho ezweni. UMnu Nsele uthi nabo endimeni yezokuvakasha lushaye lwezwela ukhuvethe njengoba nalo mkhakha uthinteke kakhulu kwazise ukuthi kulapho abantu bezithokozisa khona ngokushaywa

ngumoya. “Okusithokozisayo ngukuthi kuthe kuvalwa izwe bese sihambe kakhulu nezinhlelo zomcimbi omkhulukazi wanonyaka weDuzi2Sani 4x4 Expedition lapho esisuke sivulele khona izivakashi ukufunda kabanzi ngamadolobha amabili okunguMgungundlovu ne-Underberg. Lo mcimbi nonyaka uzobe uhlanganisa iminyaka engu-7 njengoba wasungulwa ngesikhathi uMasipala waseMsunduzi usaholwa yiMeya uMnu Chris Ndlela owaseSani uholwa yiMeya uMnu Mduduzi Banda ngaphambi kokuba uhlanganiswe noweNgwe okugcine sewubiza ngeDr Nkosazane Dlamini-Zuma Municipality. Ukuqhubeka kweDuzi2Sani sesikubeke kuMengameli Cyril Ramaphosa ukuzwa ukuthi kuyoshaya uSeptember selikhululekile yini izwe njengoba lo mcimbi siwuqondanisa nawo njengenyanga yezokuvakasha,” usho kanje.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IMeya yaseNDZ uNkz Ngeneleni Mncwabe ithi ibahubhe kakhulu iCOVID-19 kwezokuvakasha kumasipala wabo. Ikhalele osomabhizinisi abafufusayo ngokushayeka njengoba baye bacoshe ubuchwabalala uma kunemicimbi eminye yayo ehanjelwa nayizivakashi zamazwe aphesheya kwezilwandle. “Kunemicimbi emikhulu esiye siyenze ngamaholidi ePhasika okuphoqe ukuba siyimise nonyaka. Besingeke sibeke engcupheni abantu futhi besilalela ikhwelo likamengameli lokugonqa. Sicela ukubambisana nabo bonke abantu ngalesi sikhathi esibhekene nezwe. Omunye umcimbi esingakaqinisekisi ukuthi uzoba khona nonyaka ngomkhulukazi oqala eMgungundlovu uphelele ezintabeni zase-Underberg iDuzi2Sani,” isho kanje iMeya uNkz Mncwabe.


JULAYI 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Kwehle izihlathi kuhoxiswa ukwakhiwa kwe-mall eMpendle

UMNU Sizwe Ndlela iMeya kuMasipala waseMpendle. ISITHOMBE NGU: TSEPO MOLEEFE TSEPO MOLEFE ISIBALO esiphansi sabantu abangasebenzi eMpendle siphoqe ukuhoxiswa kohlelo lokwakhiwa kwenxanxathela yezitolo kuleya ndawo kulandela ucwaningo oluveze ukuthi bancane kakhulu abantu abavukayo ukuya emsebenzini. Abanikazi bezitolo ezinkulu ezaziwayo abebefuna ukutshala izimali zabo kuthiwa babone kuzothatha isikhathi ukubuyisela imali lapho abebezobe beyiboleke khona

ingasaphathwa eyenzuzo abebezoyenza. Lezi zindaba ezingehlanga kahle eMkhandlwini kaMasipala waseMpendle zivezwe yimeya yakulomasipala uMnu Sizwe Ndlela obechaza ngohlelo lwentuthuko edidiyelwe yohlahlo mali lonyaka ka-2020 no-2021 oluqale ukusebenza ngoJune nonyaka luphele ngoJuly ngonyaka ozayo. Umasipala waseMpendle uhlinzeke imali enguR67835000 okungeyokuhanjiswa kwentuthuko kubantu bakuleya ndawo. Iphawula ngokuhoxiswa kwenxanxathela

yezitolo imeya ithe: “Kusiphathe kabi ukuhoxa kwezitolo ezinkulu ebesixoxe nazo ngohlelo lokwakhiwa kwenxanxathela yezitolo ngenxa yesibalo esiphansi sabantu abasebenzayo eMpendle. Singumasipala omncane ongazenzeli inzuzo kodwa lokho okuncane esinakho sikwabela kahle abantu. Ngenyanga ezayo uNtulikazi sizobe sivula ngokusemthethweni isikhungo sezokuvakasha esithemba ukuthi izivakashi zizofunda kabanzi ngendawo yethu. Lesi sikhungo sihlele ukuba sibe eBoston emgaqweni uR617 phakathi kweHowick naseBulwer lapho kuhamba khona kakhulu izivakashi.” Imeya ibe seyiphonsela inselelo kubantu abazitamuzela emhlabeni kamasipala okulendawo abaye bazibeke bakhe imizi yabo kuwona. “Singumasipala sinqume ukuthi labo bantu abavele sebakhile emhlabeni kamasipala singabe sisabaphazamisa. Sizophoqeleka ukuthatha izinyathelo ezinqala uma sibona noma ngubani eqala ukwakha manje. Indaba yomhlaba waseMpendle ijule kakhulu ngakho ngeke sande kakhulu ngayo njengoba sekuwudaba olusezithebeni zenkantolo,” kusho imeya uMnu Ndlela. UMnu Nelisani Ngubane we-IFP okuyiqembu eliphikisayo eMpendle ukuhlabile ukuhoxiswa kwezitolo ethi umkhuba usekhaya ebuhuholini bakwamasipala. “Kubuhlungu ukuzwa ukuthi izitolo zihoxisiwe ngoba abantu bengasebenzi. Umbuzo uthi yiluphi uhlelo oluza nomasipala ukulekelela abantu abangasebenzi,” ubuze kanje.

Ukuthola uxhaso lukamasipala kwamgqugquzela ekusunguleni inhlangano engenzi nzuzo

uMnuz Mndeni Mkhize uthi intsha kumele inikwe amathuba okuzithuthukisa nokwenza umehluko emphakathini NOKULUNGA MAJOLA Ongumfundi waseNyuvesi yaKwaZulu Natali (UKZN) ubonga uxhaso aluthola kumasipala weTheku ngemali yokufunda ngenkathi ebhekene nezima esinzima empilweni yakhe. Lokhu uthi kwamgqugquzela naye ukuba abe nentshisekelo yokusiza abanye abafundi abasesimweni esifana nesikhe. UMnuz Mndeni Mkhize waseNtuzuma uthi emva kokuphumelela umatikuletsheni wakhe ngonyaka ka 2014

waba nengqinamba yokungabi nayo imali yokuqhubeka nezifundo zakhe nokwaphoqa ukuthi ahlale ekhaya omunye unyaka. Umasipala weTheku usebenzisa imali engango R10 million minyaka yonke wemifundaze nokusizwa kwabafundi kubalwa imifundaze, nabathola imali yokubhalisa ezikhungweni zemfundo ephakeme, kanti abanye bathola eyokukhokhela imali abayikweleta amanyuvesi. “Emva kwemizamo eminingi ngibe sengiba nenhlanhla ngoba umasipala wakwazi ukuthi ungikhokhele imali yokubhalisa ukuqhuba izifundo zami ngonyaka ka 2017. “Ngibonga kakhulu kuwo umkhandlu noma kungabanga ukugcina kohambo lwami lokho, ngithe mangihlangabezana nezinye izingqinamba endleleni ngabe sengicabanga ukuthi kunabanye abantu abasha ababhekene nazinkinga ezifana nezami nangaphezulu kwazo. Ngibe sengisunguka inhlangano engenzi nzuzo ukulekelela ozakwethu abasele ngemumva,” kusho uMnuz Mkhize. Lenhlangano ebizwa nge The Rising Community Association (TRCA) ihlose kakhulu ukuthuthukisa intsha iphinde iqinisekise ukuthi lokhu intsha enakho kuyabasiza baxoshe ikati eziko, ukulwis-

ana nezidakamizwa ezihlasele intsha, ukukhuthaza ukuziphatha entsheni nokuzazi ukuthi ingobani, ukukhuthaza ezobuciko amakhono kanye nezamasiko kanye nokuhambisa ulwazi kwabaludingayo nokugqugquzela ezemfundo namathuba. UMnuz Mkhize uthi yena nozakwabo abambisene nabo bayafisa ukwenza ubudlelwano nezinhlaka ezahlukahlukene ezingaba nesifiso sokusiza intsha iphume ezinkingeni ebhekene nazo emiphakathini ehlala kuyo. Ezinye zezinhlelo abaphezu kwazo kubalwa ukulekelela abafundi bakamatikuletsheni ezikoleni ezihlukene njengoba kuyizinsuku ezinzima ikakhulukazi kubafundi njengoba izwe lilwa nobhubhane lwecorona. “ Nginesifiso sokuthi nanomai umupho umuntu omusha lomyalezo ozofika kuyena ukuthi yebo siyavuma akulula kodwa asingavumi ukubukela omunye wethu ewela ephutheni ephuma endleleni, oyedwa oyomsiza uyobe ulibambile iqhaza,” kusho uMnuz Mkhize. Amalunga enhlangano uMnuz Mndeni Mkhize ongusihlalo, uMnuz Sboniso Mbonambi, uMnuz Sanele Madlala, Nksz Fundisiwe Nene, Mnuz Charles Mbatha kanye no Nksz Neliswa Mthembu.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 7

SIVUBELA Intuthuko ITHIMBA LEPHEPHA >> UMHLELI MAKHOSI MNGOMA makhosi@sivubelaintuthuko.co.za 083 618 4252

NOKULUNGA MAJOLA Info@sivubelaintuthuko.co.za 072 1792 255

>> INTATHELI YEZEMIDLALO THABANI MAPHUMULO trmaphumulo@gmail.com 063 278 3658

>> GRAPHIC DESIGNER AND LAYOUT LINDA MAZIBUKO trusouth1@gmail.com 076 4847 269

SANELISIWE NGEMA Info@sivubelaintuthuko.co.za 067 920 8446 SKHUMBUZO NZUZA info@sivubelaintuthuko.co.za 067 9208 446 IWEBSITE YETHU www.sivubelaintuthuko.co.za sivubela intuthuko @sivubela intuthuko sivubelaintuthuko B 33 Ten Acre Thembeni Groutville, P.O Box 4473, Stanger 4450, 270 Stamford Hill Road Unit 1 Morningside, Durban, 4000 UMA UFUNA UKUKHANGISA KULELIPHEPHANDABA , SHAYELA 031 822 2602/083 618 4252


IKHASI 8

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

JULAYI 2020

Sivubela Intuthuko

EZEMIDLALO

UKhoza uthi izoqedelwa imidlalo yePSL THABANI MAPHUMULO

USihlalo wePremier Soccer League (PSL) uDkt Irvin Khoza echaza ngokubuya kwemidlalo

USIHLALO wePremier Soccer League (PSL) uDkt. Irvin Khoza ukuqinisekisile ukuthi noma kanjani izophothulwa imidlalo ye-Absa Premiership osekuphele isikhathi eside yamiswa ngenxa yeCorona Virus. Lokhu kudalulwa uKhoza kwisithangami sabezindaba ebekuhloswe ngaso ukuzocacisa ukuthi imidlalo izobuyela nini enkundleni emva kokuba uhulumeni wakuleli obhekelele ezemidlalo ememezele ukuthi nomdlalo kanobhutshuzwayo usungabuyela enkundleni. “Imidlalo yeligi kulindeleke ukuthi ibe isiphothuliwe ngaphambi komhla-31 kuNcwaba. Lokho ngeke kwenzeke nga-

phandle kokuvuma kwenhlangano elawula ibhola kuleli iSouth African Football Association (SAFA),” esho. UKhoza ekhuluma kwisithangami nabezindaba uveze ukuthi bakubeke phambili ukuphepha kwezimpilo zabadlali yingakho besebenzisana nabezempilo kulesimo. “Ukuphepha kwabadlali enye yezinto esiyibeke eqhulwini . Abaqondisi beBhodi lamaqembu lihlalile phansi ukubheka izinselelo zeCorona virus ezingabeka engcupheni amabhizinisi,” kuqhuba Khoza . IPSL kuzokhumbuleka ukuthi isizimemezele izinkundla okuzodlalwa kuzo kanjalo nazozilolonga kuzo amaqembu ukuqedela lesizini. Isifundazwe saseGauteng yisona okuqokwe ukuthi amaqembu azokhempa

kuso ukuzoqedela imidlalo esele. “Sekunesikhathi Siba nemihlangano neSAFA sizama ukuqhamuka nosuku okuyilona okungabuya ngalo imidlalo njengoba uhulumeni esesinikile igunya lokuqedela imidlalo. Okumele sikuqonde ukuthi namaqembu akadlaleli ubumnandi kodwa afana namabhizinisi abalulekile kuleli ngenxa yomnotho awulethayo,” . IPSL ibihlongoza ukuthi imidlalo ibuye mhla zi-18 kuNtulikazi. Konke sekulele ngakwiSAFA eholwa uDkt. Danny Jordaan ukuthi ivume usuku oluphakanyiswa yiPSL.

Kuzobungazwa iMandela Day nge-youth run “Siwumnyango siyakholelwa ekutheni kubalulekile ukuthi umphakathi uhlale uzivocavoca ngaso Sonke isikhathi. Sifuna ukusebenzisa lomjaho ukudlulisa umyalezo wokulwisana nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane nokuyinto ebonakala isiwumchilo wesidwaba kuleli,” THABANI MAPHUMULO

UNgqongqoshe wezeMidlalo esifundazwe iKwaZulu Natal uHlengiwe Mavimbela

UMNYANGO wezeMidlalo esifundazweni iKwaZulu Natal ngokubambisana neComrades Marathon Association bazoba nomqhudelwano iKwaZulu Natal Virtual Youth Run ngosuku lwangoMgqibelo. Inhloso enkulu yalomqhudelwano ukubungaza inyanga kaTata Madiba njengoba ezalwa mhla zi-18 kuNtulikazi. Kuzokhumbuleka ukuthi umhlaba jikelele ubhekene nobhubhane iCovid-19 nokuphoqe ukuthi imijaho emikhulu efana neComrades Marathon Kanye neMandela Marathon ihlehle ukubeka izimpilo zomphakathi eqhulwini. Lo mjaho kulindeleke ukuthi uqhubeke nesasa lokuheha abasubathi abasuka kwizindawo ezahlukene ezakhele leli likaMthaniya. Kanti uzobe uhlukaniswa izigaba ezintathu okuwu-2km, 5km Kanye ne10km.

UNgqongqoshe woMnyango wezeMidlalo kulesifundazwe uHlengiwe Mavimbela ugqugquzela abantu ukuba kuphi nakuphi lapho bezobe begijima khona baqinisekise ukuthi baphatha izingqwembe zokulwisana nokubulawa ukuhlukunyezwa kwabesifazane Kanye nezingane. “Siwumnyango siyakholelwa ekutheni kubalulekile ukuthi umphakathi uhlale uzivocavoca ngaso Sonke isikhathi. Sifuna ukusebenzisa lomjaho ukudlulisa umyalezo wokulwisana nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane nokuyinto ebonakala isiwumchilo wesidwaba kuleli,” kusho Mavimbela. Abazongenela lomjaho bazokwenza bhusende Kanti kuyanxuswa umphakathi ukuba ulandele imiyalelo ebekiwe kathaqa ukuzama ukulwisana nokusabalala kwegciwane iCovid-19.

031 828 0433 / 082 597 6669

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.