Sivubela Intuthuko newspaper

Page 1

SIVUBELA Intuthuko

ADVERTISING: (031) 8222 602 FEBRUWARI 2020

FACEBOOK: SIVUBELA INTUTHUKO

SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

2

Ugqugquzela uthando lwemfundo onikele ngomfaniswano wesikole

3

Kuzoqhubeka ukulungiswa komgwaqo phakathi kwe Ballito neKwaDukuza

LIMAHHALA USHICILELO 42

8

Ukhala ezimathonsi oshiye oSuthwini

Kwethulwe umkhankaso omusha

udaba kukhasi: 3

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


IKHASI 2

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

FEBRUWARI 2020

Badonswe ngendlebe abafundi

Abafundi,abazali,othisha kanye noMeya uKhansela Nonhle Mkhulisi omi phakathi nendawo TEBOGO SIBISI ISAQHUBEKA imicimbi yokuhalelisela abafundi abanze kahle kwimiphumela yabo kaMatikuletsheni wangonyaka u-2019 kulandela ukuphuma kwemiphumela ngoJanuwari mhla ziyi-8 kwathi isifundazwe saKwaZulu-Natali sathola u81,3%. Kumanje omasipala besifundazwe bamatasa ngemicimbi yokiklo-

melisa abafundi abenze kanje njengoba nomasipala wesiFunda iKing Cetshwayo ungasala ngaphandle ekusingatheni umcimbi wokuhalalisela abafundi abahlanu abahambe phambili wabaklomelisa ngezindondo kanye nemali yokuyobhalisa ezikhungweni zeMfundo ephakeme. Uhla lwabafundi lumi kanje: 1.Siyabonga Cele-Bizimali High School 2.Mthokozisi Ndlovu-Isiphephelo

High School 3.Siphokuhle Dlamini-Dlangezwa High School 4.Bayanda Mdlalose:Bizimali High School 5.Nomasonto Masango:Dlangezwa High School OnguMqondisi womnyango wezeMfundo ngaphansi kwalesiFunda uDk. D Chonco uncome kakhulu izikole eziyi-17 ezingaphansi kwalesiFunda ezikwaze ukuthola-

bu-100% kwizinga lokuphasa.”Ngithanda ukuncoma kakhulu izikole ezisebenze ngokuzikhandla zakwazi ukuba nabafundi abaphasa bonke.Njengomnyango sizoqinisekisa ukuthi sizilandela kakhulu lezokole ezingenzanga kahle kwimiphumela yazo kodwa sazodinga ukuthola izincazelo eziqinile uma zidinga umnyango sizoqinisekisa ukuthi siyazilungisa.” UMeya waloMkhandlu uKhansela Nonhle Mkhulisi uthi bayazigqaja ngezikole ezenze kahle wadonsa ngendlebe abafundi abayoqala ezikhungweni zemfundo ephakaeme ngokuziphatha kahle futhi baqhubeke nokuzimisela ukuze bezoshintsha izimpilo zabo kanye nemindeni yabo.Sizigqaja kakhulu ngezikole zethu futhi siyathembisa ukuthi sisazoqhubeka ukubaxhasa abafundi ngoxhasomali lokubhalisa futhi sibalekelele ekutheni bathola noxhaso lukahulumeni ikakhulukazi labo abaqhamuka emindenini edla imbuya ngothi.”UMkhulisi uphinde wanxusa imiphakathi ngokuthi izame ukumisa imibhikisho egcina iphazamisa abafundi uma beya ezikoleni wathi yize kuyilungelo labo ukubhikisha kodwa bayanxusa ekutheni bengaphazamisi abafundi.USphokuhle Dlamini ongomunye wabahlomulile ubonge kakhulu usizo aluthole kumasipala wathi ukusebenza ngokuzikhandla unyakabwonke efunda yikhona okumbeke kulelizinga wathembisa ukuthi uzoqhubeka nokuzimisela nasezimazingeni emfundo ephakeme.

Ugqugquzela uthando lwemfundo onikele ngomfaniswano wesikole NOKULUNGA MAJOLA KUGQUGQUZELWE uthando lwemfundo ngenkathi kunikezelwa ngomfaniswano wesikole kubafundi abangu-11 baseMayville eThekwini yinhlangano engenzi nzuzo iMkhumbane Heritage Festival emasontweni adlule. Lokhu kwenziwe ngaphansi komkhankaso obizwa ngokuthi ‘Umuntu Ngumuntu Ngabantu’ owasungulwa ngonyaka wezi 2018 nobusuphinda isibili nonyaka. Ngaphansi kwalomkhankaso, lenhlangano ibuye inikezele ngokudla emindenini ehlwempu nokwenzeka kabili ngonyaka. Echaza kabanzi ngalomkhankazo ongumsunguli walenhlangano uMnuz Sakheleni Mthethwa owaziwa ngelika Sakhi M, uthe waqala lomkhankaso ngoba ehlose ukugqugquzela uthando lwemfundo kubafundi abaphuma emakhaya asokolayo. Ngokusho kuka Sakhi M owumculi wokholo, abantwana abaningi abaphuma emakhaya ahlwempu baba nenkinga yokungathandi ukuqhubeka nesikole ngenxa yokuthi kwesinye isikhathi bayahlekwa uma bengenawo umfaniswano osesimweni esigculisayo nokubenza balahlekelwe ukuzithemba bagcine sebelaxaza phansi isikole. “Ngiyaye ngibuke indlela abagqoka ngayo uma sebeya ezikoleni. Usheshe ubonakale umehluko wezimo zasemakhaya, aba-

Umculi wokholo uMnuz Sakheleni Mthethwa enikezela ngomfaniswano wesikole komunye wabafundi phuma emakhaya ahlwempu babonakala ngemifaniswane egugile, abanye bagqoke osekukuncane kunabo. Ngesabela ukuthi uma labafundi bengalutholi usizo bangagcine sebezenyeza, beshiye phansi ezikoleni ekubeni kuyibo okumele bafukule imindeni yabo basize ekulweni nobubha njengoba sebethole ithuba lokufunda,” kusho uSakhi M. USakhi M uthe njengoba izinga lobubha liphenzulu endaweni yaseMayville, kubalulekile ukuthi kube

Abafundi abathole umfaniswano wesikole kwinhlangano engenzi nzuzo iCikoza Mkhumbane Heritage Festival bekanye nabazali babo nonguimsunguli walenhlangano uSakheleni Mthethwa nokusebenzisana phakathi kosomabhizinisi nezinhlangano zomphakathi ngokunikelela abahlwempu. Lomculi ongowokudabuka eMandeni uthi ukusebenzela umphakathi kusuka othandweni kuye kanti futhi kuyindlela yokubonga njengoba akhula engenabazali wakhuliswa ugogo ayengahlobene naye emva kokuba alahlwa unina. “Engikwenzayo angikwenzi ngoba ngingcono kodwa ingoba nami ngiyabazi ubunzima,

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

ingakho uma ngithola amandla ngikwazi ukulula isandla ngisize labo abaludingayo ngoba nami ukuba angisizwanga ngabe angikho la ngikhona namhlanje,” kusho uSakhi M. Uthe konke akwenzayo emphakathini walapho ehlala khona e-Mayville indlela abonga ngayo uNkulunkulu ngokumkhanyisela indlela yize izimo ayebhekene nazo esakhula zazingezinhle kodwa wakwazi ukufika kulelizinga akulo namhlanje.


FEBRUWARI 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 3

Kwethulwe umkhankaso omusha

“Izinhlaka ezisebenzisana noNgqongqoshe zikwazile ukuqoqa imifaniswano engaphezulu kuka-5 000 ezonikelelwa kubafundi abaswele kulesifundazwe sonkana”

THABANI MAPHUMULO ILUNGU lesiShayamtheth o saKwaZulu Natal uMakhosi Zungu ubeyinxenye yokwethulwa komkhankaso “Know your Community Development” ngaphansi koMnyango wezokuBusa ngokuBambisana oholwa ungqongqoshe uSipho Hlomuka. UGwabini egameni likaNgqongqoshe wethule inkulumo ehlabahlosile njengoba ekhumbuze umphakathi ukuthi lomkhankaso waqalwa ngonyaka ka-2004 wethulwa yilowo owabe engumengameli wezwe uThabo Mbeki ngenhloso yokuletha uHulumeni ebantwini. UZungu uchaze ngosizo lwalohlelo ngokusiza ukubhekana nezinselelo ezikhungethe umphakathi ukuze baxhumane nezinhlaka zikahulumeni ezahlukene Kanye nokusebenzisana namakhansela. Leli lungu liveze ukuthi ungqongqoshe akajabulile ngobugebengo bokushiswa kwamabhizinisi nezimboni uma umphakathi ubhikisha ngokulethwa kwezinsiza. UNgqongqoshe uthi lokhu kubalekisa abatshali zimali kuleli. UHlomuka uphinde wanxusa ukuba kubuyiselwe emphakathini wakulesifundazwe njengoba nalomkhanka-

so kuphinde kwanikelelwa ngemifaniswano yesikole. Uphinde wadlulisa kumphakathi ukuthi loMnyango unezinhlaka ezingu-400 esifundazweni sonkana Kanti nazo azanele. Izinhlaka ezisebenzisana noNgqongqoshe zikwazile ukuqoqa imifaniswano engaphezulu kuka-5 000 ezonikelelwa kubafundi abaswele kulesifundazwe sonkana. Lolu hlelo luqale ngokuzibophezela kwalezinhlaka ukuthi zizomesekela uhulumeni ukwenza ncono izimpilo zabantu bakulesifundazwe. Ngenxa yezizathu ezithile uNgqongqoshe Hlomuka akwazanga ukuba khona kwasekuba umhlonishwa uZungu owethule lolu hlelo kwiKomiti nakumphakathi wakulesifundazwe ngalomkhankaso. UNgqongqoshe wesifundazwe ukhathazekile ngezigameko zezinhlekelele ezenzeke kulesifundazwe njengoba kushone abantu abalinganiselwa ku-208. Ube esenxusa umphakathi ukuba ungasebenzi amanzi, izinto zikagesi, nokuma ngaphansi kwezihlahla uma izulu liduma. Esegoqa inkulumo yakhe uZungu ubonge Zonke izinhlaka ezizibophezele ukusebenzisana noHulumeni.

Cllr MXOLISI KAUNDA Imeya Yetheku

KUNGABE UYAKWAZI UKUZIBHEKELA UKUVUZA KWAMANZI KWAKHO UKUGWEMA UKUKHOKHA KAKHULU? Imitha lakwakho liyingxenye yesisombululo ekuqikeleleni ukuthi kawukhokhi kakhulu. Hlala ulibheka njalo imitha lakho ukuthi lisebenza kahle. Vala amanzi endlini ungawasebenzisi. Yiya emitheni lakwakho ubhale phansi izinombolo zemitha. Linda imizuzu engamashumi amabili ungawasebenzisi amanzi. Buyela emitheni ukubheka ukuthi kalihambanga yini. Uma izinombolo ziqhubekile, lokho kuyochaza ukuthi kukhona ukuvuza okukhona. Bheka ukuthi lezi zinto azivuzi yini: igeyser, ompompi, kanye nendlu yangasese. Lungisa ngokuphuthuma uma kukhona lapho kuvuza khona. UMA kungukuthi izinombolo ziyaqhubeka nakuba usuvale yonke indawo kepha engekho osebenzisa amanzi, lokho kuyochaza ukuthi unokuvuza okusemapayipini angaphansi. Thola uPlumber ngokuphuthuma obhalisiwe kwaMasipala weTheku akubhekele. Kungenjalo, vakashela elinye lamahhovisi akwaSizakala Customer Care kaMasipala uzosizakala noma uye ehhovisi leKhansela lakho.

Sicela uxhumane noMasipala weTheku ngalezi zindlela uma kungukuthi unenkinga ephathelene namanzi: WhatsApp 073 148 3477, okukanye 080 3 11 11 11, noma eservices@durban.gov.za

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


IKHASI 4

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

FEBRUWARI 2020

Kumi ngomumo ngokhetho lwemiKhandlu yamaKhosi

TEBOGO SIBISI UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu esiFundazweni saKwaZulu-Natali. uMnuz.

Sipho Hlomuka usenxuse umphakathi ohlala ngaphansi kwezindawo ezilawulwa amaKhosi ngokuthi uphume l bawo uyovota ngosuku lokuvotela imiKhandlu yamaKhosi okhethweni olizoba ekuph-

eleni kaFebruwari.UHlomuka usho lokhu ngesikhathi kunesithangami sabezindaba obekuhloswe ngaso ukuzocacisa kabanzi ngamalungiselelo okusingatha lolukhetho. UHlomuka uthi yize zikhona izingqinamba ababhekene nazo njengomnyango kodwa bayawunxusa umphakathi uphume ngobuningi uyozikhethela wona ubuholi bawo.”Siwumnyango selokhu kwanqunywa usuku lokhetho simatasa siyaqinisekisa ekutheni zonke izinto ezizodingakala sizilungisa kusanesikhathi.Siyazi kuningi umphakathi okhala ngakho ezindaweni ezisemakhaya kodwa lolukhethi siluthatha njengolubaluleke kakhulu ngoba ubuholi boMdabu budlala indima enkulu kakhulu ekuletheni ukuthula kanye nenhlonipho emiphakathini yethu. IsiFundazwe sethu sinemiphakathi elinganiselwa ku-303 eholwa elawulwa amaKhosi ngakho siyagqugquzela umphakathi ubambe iqhaza elikhulu ukuze ukuthula esinakho buqhubeke ngendlela efanele.”Kusho uHlomuka. OnguNobhala wenhlangano emele ubuholi boMdabu Inkosi Nhlakanipho Maphumulo uthi yize zikhona izingqinamba amalungu

abo abhekene nazo kodwa bayakweseka ukuthi luqhubeke lolukhetho.”Ngenyanga edlule sibambe umhlangano nomnyango sidingida kabanzi ngokuthi zizoxalulwa kanjani izinkinga ezikhona kodwa ekugcineni umnyango uthembisile ukuthi ezinye zizolungiswa ngaphambi kokhetho bese kuthi ezinye zilungiswe emva kokhetho.Ukuchaza kabanzi ezinye zezinkinga udaba lwamaholo eziNduna namKhosi amanye awo osekuphele iminyaka emithathu bengaholi,udaba oluthinta iziNduna /amaKhosi asedlula emhlabeni okuyimanje izikhundla zabo azikavalwa,udaba oluthinta imingcele lakhona imiphakathi ingawuqondi imibandela yokuvota ngoba abanye bazithola sebevota eziteshini okungezona ngoba bezibona ziseduze bese ikhohlwa ikuhlakanisa ukuthi lolukhetho akulona olwamaWadi kodwa olwezigceme.” Kusho Inkosi uMaphulo. Kusenjalo inhlangano eyengamele ezokhetho i-IEC ithi konke sekumi ngomumo ngalolukhetho yabe isinxusa imiphakathi ukuthi ishayele inamba u-08000 23 333 uma idinga ulwazi olwanele ngemva kokuthi ukubhalisela ukuvota kuvalwe ngenyanga edlule.

Kuzoqhubeka ukulungiswa komngwaqo KDM “Abashayeli bayacelwa ukuba baqaphela izimpawu ezixwayisayo ukuze baphephe kanye nabasebenza emgwaqweni.

NOKULUNGA MAJOLA SEBEKUSHAYELE ihlombe abashayeli bezimoto ukuzwa ukuthi sekuzoqhubeka ukulungiswa komgwaqo ophakathi kwe Ballito neKwaDukuza ekuqaleni kwekota yonyaka. Lokhu kuvela emva kokuba iSouth African Roads Agency (SOC) Limited (SANRAL) inikezele iRaubex

(Pty) Ltd inkontileka yokuqedelwa kwalomsebenzi nobusumiswe isikhathi esingaphezu kweminyaka emibili. Lomsebenzi wokulungiswa kogwaqo ophakathi kwemifula Umhlali noMvoti wamiswa emva kokuba inkontileka eyayiwuphethe yaba nenkinga yezimali. Ngokusho kuka Mnuz Ravi Ronny (Unjiniyela we-Pr - ECSA) nongumphathi

wezokuhlela nokwakha esifundeni saseMpumalanga, ukuphathwa kwenkontileka yalomsebenzi kuzokwenziwa ngabakwaNaidu Consulting Engineering (Pty) Ltd. “Umsebenzi uzoqala kwikota yokuqala ka-2020 uma usonkontileka ephothula ukuqashwa kosonkontileka abancane endaweni yephrojekthi. Umsebenzi uzoqhubeka isikhathi esiyizinyanga eziyishu-

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

mi,”kusho uMnuz Ronny. Uthe ukuze bakwazi ukuphothula umsebenzi obusasele ngesikhathi esifishane bazokwazi ukubhekelela isiminyaminya njengoba bezosebenza indawo eyodwa ngesikhathi. UMnuz Ronny uthe kuzoba nezimpawu ezixwayisa nangokuncishiswa kwesivinini ezindaweni okusetshenzelwa kuzo. Ululeke abashayeli ukuthi baqaphele izimpawo zomgwaqo ezibaxwayisayo ngokulungiswa komgwaqo nokuvalwa kwemizila kusenesikhathi nokuthi bashayele ngokucophelela ezindaweni okusetshenzwa kuzo. “Abashayeli bayacelwa ukuba baqaphela izimpawu ezixwayisayo ukuze baphephe kanye nabasebenza emgwaqweni. USANRAL ufisa ukubonga bonke abashayeli bezimoto ngokubambisana nokubekezela kwabo eminyakeni emibili edlule siphinde sixolise ngokubambezeleleka okube khona ngenkathi kusalindwe ukuba kuqhubeke ukusebenza,” kusho uMnuz Ronny. Umshayeli okhulume neSivubela Intuthuko uMnuz Thandokwakhe Mthembu uthe uyakujabulela ukuzwa ukuthi umsebenzi usuzoqhubeka nokuba sekuthathe isikhathi eside kakhulu. “Bese sikhathele bo isiminyaminya sezimoto ikakhulukazi ngezikhathi zamaholidi kanti abanye abashayeli bayahlukela ukubekezela emgwaqweni,”kasha uMnuz Mthembu.


FEBRUWARI 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 5

Bakhala ngendlela yezinyawo enobungozi eNtuzuma NOKULUNGA MAJOLA

Abahlali bakhala ngokuthi lendlela ayiphephile iyashibilika uma lina izulu kanti notshani bud bulingana nomuntu bafuna umasipala ubakhele indlela ephephile Izithombe : Nokulunga Majola

ABAHLALI baseNtuzuma bafuna kwakhiwe indawo ephephile yokuhamba njengoba indlela abahamba kuyo bethi ayiphephile futhi iyashibilika uma izulu lina. Lendlela ehamba phakathi kwemizi iphumele emgwaqweni omkhulu uNtuzuma Highway ixhuma emgwagqweni omncane iMahaye Walk esigcemeni sakwa H bathi iyona esheshayo futhi eseduze kunokujikeleza ngomgwaqo. Labahlali bathi sekukaningi beyikhuluma lekho namakhansela endawo kodwa kungabi namehluko. Bekhuluma neSivubela Intuthuko, abahlali baseNtuzuma bathi lendlela isiphenduke ihlathi ngenxa yokunganakekelwa kanti kwezinye izindawo bayalungiselwa izindlela zokuhamba pho kungani bonwa beshiywa ngaphandle. UMnuz Mandlenkosi Shelembe (58) the yena usebenzisa yona lendlela uma yea noma ephuma emsebenzini ngoba kuyamgqilaza ukujikeleza ngomgwaqo. Uthe into emphatha kabi ukuthi uhlale ewa elimala ngenxa yokushibilika. “Ngihamba ngezikhathi zasekuseni kakhulu kwenye inkathi kusuke kusemnyamana nokwenza kube nzima ukubona indlela kahle. Lendlela yona si-

yayithanda ngoba iseduze kodwa ayiphephile. Bangaki nje abantu bewa la belimala nami sengiwe kaningi kangangokuba ngihlushwa idolo ngenxa yahoo ukuwa alpha kodwa ngiyaqhubeka ngiyisebenzise ngoba iyona yodwa ekhona futhi eseduze nomgwaqo omkhulu,” kusho uMnuz Shelembe. UNkz Nontokozo Mnyandu (32) the njengomuntu ojwayele ukubuya ebusuku emsebenzini uyasaba ukuhamba kulendlela uma kumnyama njengoba utshani bulingana nomuntu ngobude. “Angithandi ukuhamba endleleni ngingaboni lapho ngiya khona, kodwa ayikho into engingayena ngoba iyona ekhona. Enye into njengoba lendlela inganakekelwa muntu nje ngisaba nanokuthi kungaba khona izinyoka nokuyingozi kakhulu ngoba iseduze kwenkulisa futhi isetshenziswa nayizingane zesikole,” kusho uNkz Mnyandu. Uthe sebakhuluma bakhathala wonke amakhansela angena ezikhundleni awayingeni indaba yabo. Ikhansela lendawo uMnuz Thandanani Njabulo Maphanga uthe nakuba lendlela ingekho kwezisemthethweni kodwa wasifaka isicelo kumasipala weTheku ukuba lendlela ilungiswe ukuze iphephe okwamanje usalinde impendulo.

UKaunda uhalalisele amaqembu ezemidlalo ase-Thekwini

IMEYA yoMkhandlu wedolobha iTheku uMxolisi Kaunda uhalalisele amaqembu amathathu EZEMIDLALO azinze kuleli dolobha okungaMaZulu fc , Golden Arrows Kanye namaSharks abakwazile ukunqoba imidlalo yabo yasekhaya yangempelasonto. Womathathu lamaqembu akwazile ukunqoba imidlalo yawo nokulethe injabulo

kubalandeli bakulelidolobha. USuthu lukwazile ukuqoqa amaphuzu abalulekile nalisuse emsileni kulog. EzikaMandlakazi bezidlalela ukufa nokuphila ngenkathi zibhekene nePolokwane City kanti lempumelelo ilethe isasasa ekutheni leli qembu lisazoqhubeka nokugijima esigabeni esiphezulu sebhola lakuleli. “Sithanda ukunxusa bobke abathandi na-

bahlali baseThekwini Kanye nakwisifundazwe iKwaZulu Natal ukuba baqhubeke nokweseka amaqembu asekhaya. Kuyiqiniso ukuthi ukweseka kwethu abadlali enkundleni kuletha umehluko omkhulu. Abadlali siyabanxusa ukuba uma bedlala bangakhohlwa ukuthi bathwele amathemba wabaningi abangabathandi bezemidlalo, abancane nabadala.”

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Kusenjalo iqembu lebhola lombhoxo lamaSharks elinze kulo leli dolobha lisemathubeni okunqoba umqhudelwano weSuper Rugby okokuqala ngqa. Kanti iGolden Arrows isaqhubeka nempi yokungena kuTop 8 ku-Absa Premiership. UKaund uthe ukwesekwa kwamaqembu kubalulekile kakhulu nasekusekweni kwawo ngokwezezimali.


IKHASI 6

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

FEBRUWARI 2020

Kuzofanele bajeze othisha abanobudlelwano nabafundi ezikoleni” Boyce “asikho isikole esifuna sikhiqize imiphumela engaphansi kuka-60% kunyaka ka-2020 okube kubi nje ukuthi ngalesikhathi samaholidi sihlaselwe iziphepho ezicekelephansi amakilasi” SKHUMBUZO NZUZA USOMLOMO weSishayamthetho saKwaZulu-Natali uNkk Nontembeko Boyce uthi uzishaya isifuba ngentshisekelo ekhonjiswe izikole zakuleSifundazwe,uBoyce usho kanje eSishayamthetho ngesikhathi kwethula umbiko wohlelo lokuhambela izikole i(School Functionality Monitoring Programme)obelwenziwa amalunga ePhalamende.Kusukela ngesikhathi kuvulwa izikole mhlaka 15 Januwari amalunga ePhalamende angaphezulu kuka-80 ajutshwe ukuhambela iSifundazwe sonke ehlola ukuthi konke

kuhamba kahle yini ezikoleni. Umbiko olethwe ngamalungu akade ehambele izikole uveze ukuthi anelisekile ngakubone ezikoleni eziningi,’’umbiko uveza ukuthi ubudlelwano obuhle phakathi kothisha kanye nezigungu ezibheke ukusebenza kwezikole kubukeka bubuhle kakhulu lokho okunikeza ithemba lokuthi sizoqhubeka nokukhiqiza imiphumela emihle nakulo nyaka.Wonke amathimba abhale phansi izingqinamba azibonile ezikoleni,ezinye zezikole zinezakhiwo ezingekho esimweni esifanele kwezinye ukukhulelwa kwabafundi nokudliwa kwezidakamizwa kudla lubi

kodwa lolodaba sizolulungisa sibambisene noMnyango wezemfundo Kanye nowezokuThuthukiswa komphakathi ukuphenya ezinye zezinsolo zokujola kothisha nabafundi akekho umuntu ongazi ukuthi lokho akwamukelekile nakancane. Ngeke sizibekezelele izenzo zothisha abathandana nabafundi kuzofanele bajeze,kungekudala iSishayamthetho sizothumela amathimba ezikoleni ezinezinkinga ukuthi ayobheka okuzoba isisombululo kuzona’’,kubeka uBoyce. UNgqongqoshe wezemfundo KwaZulu-Natali uMnuz. Kwazi Mshengu

uthe bewuMnyango bazofaka igxalaba balekelele zonke izikole ezingenzanga kahle, ’’asikho isikole esifuna sikhiqize imiphumela engaphansi kuka-60% kunyaka ka-2020 okube kubi nje ukuthi ngalesikhathi samaholidi sihlaselwe iziphepho ezicekelephansi amakilasi kwezinye izikole kodwa ngingakusho kugcwale umlomo ukuthi kulezozikole sifake amakilasi angomahamba nendwana alingana namakilasi aphephukile bonke abafundi baqalile ukufunda,sizozama uhlelo lokuhlola kahle umonakalo bese siza necebo lokulungisa amakilasi aphephukile’’,kuphetha uMshengu.

Kulindeleke kwethulwe uxhaso lwentsha eThekwini

Uhlanga Lomhlabathi Inkosi uGoodwill Zwelithini Zulu iyalele iMeya yeTheku uKhansela Mxolisi Kaunda Kanye neMeya yoMkhandlu iKing Cetshwayo District uKhansela Nonhle Mkhulisi SKHUMBUZO NZUZA UHLANGA Lomhlabathi Inkosi uGoodwill Zwelithini Zulu iyalele iMeya yeTheku uKhansela Mxolisi Kaunda Kanye neMeya yoMkhandlu iKing Cetshwayo District uKhansela Nonhle Mkhulisi ukuthi kukona konke abakwenzayo kodwa bangakhohlwa ukuza namasu asheshayo okulwa nendlala ebhuqabhuqa abantu,iSilo sisho lokhu Esigodlweni eNyokeni ngesikhathi leziMeya ziyokwethula ubuholi bomasipala bazo kuMdlokombane ekuqaleni kwale nyanga. IMeya yetheku uKhansela Kaunda uthe uMasipala waseThekwini unomlando nobudlelwano obuhle neNdlunkulu njengoba

nedlinza leNdlovukazi uMama weSilo likhona eThekwini,”konke esikwenzayo sikwenza ngokuhlonipha abantu beMbube,yikho ngiqoke ukuthatha ubuholi bami bonke engisebenzisana nabo obukhethwe ngo Septhemba ngonyaka owedlule ngathi asizozibophezela phambi kweSilo ngako konke esizokwenzela abantu baso. Idolobha iTheku ligcwele kakhulu abantu bokuhamba abanye balapha ukuzofunda abanye baze ngebhizinisi kanti abanye babhacile ngenxa yezimpi emazweni abo,okubi iningi labo liphula imithetho yezwe,Silo esikhulu ngithi angizobika lapha ukuthi sizoyiqinisa kakhulu imithetho siqinisekise nokuthi iyalandelwa

ngale kokuchema kodwa abantu bokufika abakuleli ngeke sihleke nabo ngoba labobantu mabenza ubugebengu akulula ukubalandela ngenxa yokungabibikho kwezinto ezichaza ngemvelaphi yabo ngaleyondlela sixoxisana neziphathimandla zamazwe ukuthi singayilungisa kanjani lendaba.Sizolwisana nobugebengu ngokufaka amalambu abizwa ngama(High must light),ngaphambi kokushaya kwenyanga ka Juni sizokwethula uxhaso lwetsha oluzobizwa nge Youth Business Fund ngenhloso yokusiza osomabhizinisi abayitsha,sizothuthukisa indawo eseMkhumbane kwidlinza leNdlovukazi”,kubeka uKaunda. ISilo sikhombise ukuzithakasela izinhlelo

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

zomasipala kodwa sathi abaholi bangalinge bafake ipolitiki emsebenzini ngoba ngeke iwuthuthukise umphakathi,’’ipolitiki ngeke iwondle umphakathi lokho okuyoba nobungozi umphakathi ugcine unizonda kube nemibhikisho ezoshisa elikaMthaniya.Ngicela nilwisane nendlala nokudliwa kwezidakamizwa kubuhlungu ukubona izingane ziphenduka izigxizamathe ngenxa yezidakamizwa”,kubeka iMbube, Kanti UMasipala iKing Cetshwayo Kanye nowaseThekwini baxoshise Isilo ngezinkabi ezithantu nesithole esisodwa


FEBRUWARI 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Balule isandla ngomfaniswano abengalo yomthetho

IKHASI 7

SIVUBELA Intuthuko ITHIMBA LEPHEPHA

>> UMHLELI MAKHOSI MNGOMA makhosi@sivubelaintuthuko.co.za 083 618 4252

>> IPHINI LOMHLELI TEBOGO SIBISI tebogo@sivubelaintuthuko.co.za 079 245 8462

Amaphoyisa alule isandla esiza umndeni wakaNdebele emva kokusabalala kwe video kaSandile ecela usizo Abe isibonelo esihle amaphoyisa kaMasipala weTheku ngenkathi esiza umndeni wakwaNdebele eNanda ngemali, nemifaniswane yesikole. Lokhu kwenzeke emva kokusabalala kwe-video kaSandile Ndebele ezinkundleni zokuxhumana echaza ngesimo salo mndeni. Lamaphoyisa athi lokhu kumele kube isibonelo kwabanye abantu ukuthi umuntu noma anganikela okuncane kangakanani kodwa kuyawenza umehluko ezimpilweni zabantu abakudingayo. Banikele nangemali elinganiselwa ku R2700, izimpahla zokugqoka, kanye nezinsizakufunda. Lamaphoyisa nguMnuz Lungisani Magcaba, uMnuz Ntokozo Mchunu, uMnuz Ngikhulile Mtiyane, uMnuz Mazwi Khuzwayo, uMnuz Lwandile Ncume, uMnuz Mzingisi Radebe, uNks Thule Meyisa kanye noMnuz Terry Jacobs. Aphinde athem-

bisa ukulekelela lo mndeni nangokunye okudingayo, aphinde awuxhumanisa nezinye izinhlangano ezilekelela imindeni ehlwempu. UMnuz Lungisani Magcaba uthe kwabathinta okwakushiwo uSandile kwi-video, base bekhetha ukulele isandla ngokwenza lokhu ukuze kuzoba nomehluko ezimpilweni zamalungu alo mndeni. Uthe bakhathazekile ngesimo salo mndeni njengoba kungekho muntu omdala ekhaya, wathi bazowuxhumanisa nezinhlaka zikahulumeni ezilekelela imndeni efana nawo. Uthe okubajabulisa kakhulu ukuthi zonke izingane zakulo mndeni zizobuyela esikoleni. “Izingane zikujabulele ukuthola imifaniswane, uyabona ukuthi bezingakhululekile ngebezikugqoka esikoleni. Sizibophezele ukusiza lo mndeni. Sizowulekelela ngakho konke okusemandleni ethu. Sesiwuxhumanisile noSonhlalakah-

le, siyathemba ukuthi lapho esehluleka khona uhulumeni uzongenelela,” kusho uMagcaba. UNksz Nomvula Shale weSiphilangomusa Community Development owaqopha i-video kaSandile, uthe isenzo sala maphoyisa sitshengisa ubuntu. Echaza ngodaba lukaSandile, uthe ngolwazi abanalo uSandile waphoqeleka ukuba ayeke isikole eyocela imnikelo enkabeni yedolobha ukuze ezonakekela izingane zakwabo ngemuva kokudlula emhlabeni kukamama wabo. “Muhle umsebenzi owenziwe ila maphoyisa, wonke umuntu kumele elandele ezinyathelweni zawo. Kuyangithokozisa ukubona abantu besiza emphakathini. Le nhlangano ngayisungulela ukusiza izingane ezifana noSandile, kuyangijabulisa ukubona ukuthi imizamo yami ithela izithelo ezinhle,” kusho uShale.

UMasipala uthembise maduze ukuxazulula udaba lwamazi oThongathi

NOKULUNGA MAJOLA ZIYAQHUBEKA izinkinga zamanzi endaweni yaseMagwaveni oThongathi. Lezinkinga eziqale ngonyaka odlule zishiye umphakathi wakulendawo ungeneme

neze ngesimo esiqhubekayo njengoba sekudingeka ukuthi bakhe amanzi emfuleni. Umphakathi ugxeka umasipala weTheku ngokubayekelela ekutheni balungise lesimo. Bathi bayahlala izinsuku ezibalelwa esontweni bengenawo amanzi nokwenza izimpilo zabo zibe nzima Ilunga lomphakathi uMnuz Sizwe Nkwanyana uthi ukuphazamiseka kwamanzi sekuyinto asebeze bayijwayela. Uthi noma befonela kamasipala bekhalaza bayalindiswa noma izingcingo zabo zivalwe. Elinye ilunga elingathandanga ukuba igama lalo lidalulwe lithe lona nomndeni walo sebephila ngamanzi athengwayo ngoba abasawathembi lawa kamasipala. “Kuyenzeka uthi akhona uzothi ubona awasekho futhi. Sengihlala nezigubhu engingama 5 litha zigcwele ngenzela ukuthi singahlupheki bese kuthi awomfula sihlanze ngawo izingubo,” kusho lomhlali. Ikhansela lendawo uMnuz Geoff Pullan uthi kuyenzeka ukuthi kuphele izinsuku engabonwa amathanki aphakela amanzi endaweni. Ngokusho kuka Mnuz Pullan lento yok-

uphela kwamanzi iyacika kanti abahlali badiniwe. Uthe umasipala kumele aqhamuke nesisombululo kulenkinga. “Abantu badininwe, umasipala kumele ufake imali ekulungiseni ingqalasizinda okuba iyona edala ukuba kube nokuqhuma kwamapayipi ngaso sonke isikhathi kushiye abantu bengenawo amanzi,” kusho uMnuz Pullan. Ngokusho kukamasipala weTheku into edala ukuba kube nenkinga yokushoda kwamanzi kulendawo ingqalasizinda endala. Okhulumela umasipala weTheku uMnuz Msawakhe Mayisela uthe ukuphela kwamanzi endaweni yasoThongathi sekuzoba into endala njengoba umasipala usuqhamuke nesisombululo sokubhekana nenkinga youkuphela kwamanzi. UMnuz Mayisela uphinde waxolisela umasipala kumphakathi wasoThongathi ngokuhlukumezeka ababhekena nakho. Unxuse ukuba babekezele njengoba besebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi izinkinga zamanzi ziyaphela kulendawo.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

>> INTATHELI YEZEMIDLALO THABANI MAPHUMULO trmaphumulo@gmail.com 081 794 8407

>> GRAPHIC DESIGNER AND LAYOUT LINDA MAZIBUKO trusouth1@gmail.com 076 4847 269 IWEBSITE YETHU www.sivubelaintuthuko.co.za FACEBOOK sivubela intuthuko TWITTER @sivubela intuthuko INSTAGRAM sivubelaintuthuko IKHELI LETHU B 33 Ten Acre Thembeni Groutville P.O Box 4473, Stanger4450, 270 Stamford Hill Road Unit 1 Morningside, Durban, 4000 UMA UFUNA UKUKHANGISA KULELIPHEPHANDABA , SHAYELA 031 822 2602/083 618 4252


IKHASI 8

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

FEBRUWARI 2020

Sivubela Intuthuko

EZEMIDLALO Izinyoni zisayinise owe-Chiefs

USizwe Twala obegijima kuChiefs osejoyine iSwallows fc kuGladAfrica Championship

IQEMBU eligijima esigabeni seGladAfrica Championship iSwallows Fc isayinise umgadli obegijima kuKaizer Chiefs ngenhloso yokuqinisa umkhankaso wayo wokunyukela ku-Absa Premiership. Izinyoni eziqeqeshwa uBrandon Truter zibonakala zenza kahle futhi zisethubeni lokudlala kweyokuhlungela ukunyukela eduphezulu. USizwe Twala onyusele eqenjini elikhulu leChiefs ngaphambi kokuqala kwalesizini usezobonakala kwiZinyoni zaseDube. UTwala oneminyaka engu-22 ukhululwe yiqembu lakhe ngenhloso yokuthi akwazi ukuthola isipiliyoni esanele . Lo mdlala obegijima kuMulti-Choice Diski Challenge ngaphambi kokunyuselwa eqenjini elikhulu uhlohle amagoli ayi-11 ngesizini ka-2018/19. Kulindeleke ukuthi asize leli qembu elilele endaweni yesine kulog, kanti uzofica ozakwabo abegijima nabo kuChiefs ngaphambili o-Itumeleng Shopane kanye no-Ayanda Rorwana.

Ukhala ezimathonsi oshiye oSuthwini “Lo mgadli ongalibheki ipali usejoyine iStellenbosch fc emva kokuba echithwe uSuthu njengoba belunesibalo eseqile sabadlali bangaphandle.” THABANI MAPHUMULO

Ungadli weStellenbosch u-Ovidy Karuru oshiye uSuthu

UMGADLI waseZimbabwe oseke wagijuma nakuKaizer Chiefs ngaphambi kokuba ajoyine AmaZulu Fc u-Ovidy Karuru ukhala ngendlela ahambe ngayo oSuthwini. Lo mgadli ongalibheki ipali usejoyine iStellenbosch fc emva kokuba echithwe uSuthu njengoba belunesibalo eseqile sabadlali bangaphandle. USuthu luphoqelekile ukukhulula lomdlali ukuze kuphendleke zikhala zabanye abadlali bangaphandle. “Ngingasho nje ukuthi bekungelula ukushiya kuleli qembu kwazisw bwmgifisa ukuzifaka kubadlali abaqopha umlando kulo, kodwa ke impilo yasebholeni injalo,” kusho Karuru. Lo mdlali uthi uncengwe umqeqeshi

weStellies uSteve Barker ukuba azojoyina iqembu lakhe . “Ngicelwe umqeqeshi uBarker ukuba ngize eqenjini lakhe ngaleso sikhathi iqembu belilele indawo yesibili uma usuka emsileni. Angizange nginanaze njengoba engitshelile ukuthi ufuna ukungisebenzisa kuphi futhi kanjani.” Lo mdlali obebalwa nabanye abadlali bangaphandle oSuthwini okukhona kubo Samuel Darpoh waseGhana, Butholezwe Ncube, Talent Chawapiwa baseZimbabwe, Sadate Aukoriko waseTogo, Andre de Jong waseNew Zealand. Leli qembu ukuze lisayinise uMilos Lacny waseSlovakia bekumele lichithe umdlali oyedwa njengoba izembe ligcine ligawule kuKaruru.

031 828 0433 / 082 597 6669

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.