Sivubela Intuthuko

Page 1

SIVUBELA Intuthuko

ADVERTISING: (031) 8222 602 AGASTI 2019

FACEBOOK: SIVUBELA INTUTHUKO

SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

2

LIMAHHALA USHICILELO 35

Kuphendulwe isoyi eShakashead udaba kukhasi: 3

Babhekene nengwadla bedilizelwa izindawo zokudayisa ngenxa yezimvume

7 Bahlomule ngenkulisa odado ngekaMadiba

4

I UNAIDS ne SANAC bethule iUNAIDS Global Report

UCllr. Dolly Govender (phakathi) namakhansela omkhandlu, amalungu omphakathi kanye namalungu ekomiti laku wadi 4 emcimbini wokuphendulwa kwesoyi eShakashead. Isithombe: KDM Municipality

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


IKHASI 2

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

AGASTI 2019

Intokozo ko dado kulungiswa inkulisa yabo

TEBOGO SIBISI

UMPHATHISWA wezezimali esifundazweni saKwa Zulu-Natali uMnuz. Ravi Pillay ebambisene neMeya ka Masipala wase Mdoni uThabani Dube bafike kwachichima injabulo kubazali nakubantwana abangama- 50 basenkulisa iMbulula Crèche. Leli thimba lifike lachitha imizuzu engama 67 lipenda, lilungisa nengadi lenza neminikelo yokuthuthukisa inkulisa. I Mbulula Creche yakhiwe phansi kuka ward 5 KwaDumisa, okuyindawo ehlaselwe ububha ngaphansi kuka Masipala uMdoni. U Dube no Pillay banikele ngesikhathi sabo ukwenza ngcono isimo senkulisa. Ekhuluma nabazali babantwana bakule nkulisa, uDube uthe bahlonze le nkulisa ngoba yakhele indawo enezinga eliphansi kakhulu le ntuthuko. Uthe babone le nkulisa ikhungethwe yizingqinamba base bekhetha ukuzothuthukisa isimo sayo kuyi Mandela Day. “UMandela wayebakhonzile kakhulu abantwana, babesekujuleni kwenhliziyo yakhe. Singumkhandlu sibambisene noMphathiswa wezezimali KwaZulu-Natali sinqume ukuzokwenza ngcono isimo sale nkulisa, izinga lokulethwa kwezidingo kule ndawo lishamba ngegiya eliphansi kakhulu, yingakho namhlanje sizinikele ukuzokwenza ngcono isimo. Siyafisa ke

ukuveza ukuthi ukulethwa kwezidingo angeke kugcine namhlanje kuphela ngoba kunemigubho ye Mandela Day kodwa yinto le ezoba umkhuba wethu wamihla yonke,” kusho u Dube. U Pillay uthe imfundo ngezinye zezinto u Mandela ayezikhuthaza kakhulu, ngakho bazimisele ukusebenza ngokuzikhandla ukwenza ngcono isimo sezemfundo. “U Dr Nelson Mandela wayebathanda abantwana futhi ekukhuthaza ukuthuthukiswa kwezemfundo. SiwuHulumeni sizimisele ukwenza umehluko ezimpilweni zabantu abakhele imiphakathi yethu, imfundo ibalulekile kanjalo nokukhulisa kahle abantwana kubalulekile ngoba bayikusasa laleli lizwe. Kuyancomeka uma kunezinhlelo ezifana nalezi ikakhulukazi ngezikhathi zokubungaza impilo ka Dr Nelson Mandela,” kusho u Pillay. U Pillay unikele ngomatilasi abangama 20, izingubo zokulala ezingama 50, i fridge, i URN i microwave, iketela, izincwadi kanye namapensela. Uqhube watshala isihlahla sika mango esinikelwe umnyango weZolimo ukuqinisekisa ukuthi inkulisa inezithelo ezanele ezozipha abantwana. Umnyango weZempilo unikele ngezixubho zabantwana.

Ikhansela lika Masipala uMdoni Municipality u Cllr Bonginkosi Mngadi, uMphathi we MbululaCreche u Eunice Mjoka, u Advocate R. Brijraj, u Cllr Mandlakayise Ngcobo, iMenenja kaMasipala u Dkt Vuyiwe Tsako, u Cllr Nombuso Mapanza-Mngadi, uMphathiswa Ravi Pillayngesikhathi benisela ngokuhlanganyela isihlahla sika mango esitshalwe u Pillay eMbululaCreche.

Babhekene nengwadla bedilizelwa izindawo zokudayisa ngenxa yezimvume

Kusale kumapeketwane kanje ngesikhathi abadayisi abasebenzela eduze kwesibhedlela esakhiwayo i Dr Prixley ka Isaka Seme Hospital ngase Bridgecity bedilizelwa izakhiwo zabo ngenxa yokungabi nazo izimvume zokusebenza. SIBULELO DLAMINI BAKHATHAZEKILE osomabhizinisi baKwaMashu osekukhishwe isinqumo sokuthi badilizelwe izindawo abadayisela kuzo ngenxa yokungabi nazo izimvume zokudayisa eduze kwesibhedlela esakhiwayo i Dr. Prixley ka Isaka Seme Hospital eBridge City. USibusiso Dlamini waKwaMashu esigcemeni sakwa M ungomunye wabadayisa kule ndawo, uthe kuyabakhathaza ukungazitholi izimvume zokudayisa kule ndawo ngoba iyona ndlela abathola ngayo imali njengoba bengasebenzi. Uthi bayitholile imvume eyisibambiso

kubaphathi bathenjiswa ukuthola izimvume eziphelele sekuphele ukwakhiwa kwesibhedlela. “Sikhulumile nabaphathi besibhedlela kanye nabanikazi bendawo, sabatshela ukuthi sinesifiso sokuvula izindawo zokudayisa eduzane nesibhedlela. Umbiko abawethula kithina owokuthi njengoba sisakhiwa isibhedlela abakazikhiphi izimvume eziphelele zabadayisi kodwa singabe sidayisa, kuyothi uma sesiqediwe isibhedlela sithole izimvume eziphelele,” kuchaza u Dlamini. UDlamini uthe bathola umyalelo othi badayise izinto ezisemthethweni, uqhube wathi bebengakaze babe nezinkinga selokhu

baqala ukudayisa. “Sengineminyaka elinganiselwa kwemine ngisebenzela kule ndawo, angikaze ngihlangabezane nezinkinga. Abomthetho bebelokhu bezosihlola njalo, bebengakaze bathole lutho oluphambene nomthetho. Beyikhona imibiko ethi le ndawo iyadayiswa, eminye beyithi le ndawo ngeka masipala eminye ithi ngeka Hullets, bese silindele ukuzwa umyalelo ovela kumnikazi wendawo wangempela,” kusho u Dlamini. UDlamini uqhube wathi basungula ikomiti abalithuma eSizakala Centre waKwaMashu ukuba liyobafakela izicelo zezimvume ezisemthethweni, uthe batshelwa ukuthi abanazo izimvume zokudayisa kule ndawo abakuyo baxwayiswa ngokuthi izindawo zabo zizodilizwa. “Sahlangana nabanye abadayisi sasungula ikomiti ukuba liyosimela ekucelweni kwezimvume eSizakala Centre, umyalezo elabuya nawo ikomiti owokuthi asivumelekile ukudayisa kule ndawo. Labuya nesexwayiso sokuthi izindawo esidayisela kuzo zizodilizwa. Ngempela bafika abantu baka masipala behamba namaphoyisa akwa Metro bezodiliza izindawo zethu,” kusho u Dlamini. UNomzamo Khambule naye odayisa kule ndawo uthe kuyabakhathaza ukuthi uhulumeni ubadilizele izindawo zabo ezibasiza ukunakekela imindeni yabo. “Ibuhlungu le nto eyenzeka kithi, le mali ebengiyithola kule ndawo beyingisiza ukunakekela umndeni wami. Siyafisa ukuthi umasipala uyisukumele le ndaba ngoba

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

njengoba singasebenzi iyona ndlela lena esizisiza ngayo ukunakekela imindeni yethu. Siyafisa ukunikwa izimvume zokudayisa eziphelele kule ndawo,” kusho u Khambule. Okhulumela uMasipala we Theku uMnuz. Msawakhe Mayisela ukuqinisekisile ukuthi abadayisi baceliwe ukuthi bame ukusebenzisa indawo abebeyisebenzisa kuze kube batholelwa indawo esemthethweni. “Njengomasipala singakuqinisekisa ukuthi ngomhlaka 13 Juni 2019 kwabakhona isigameko lapho amaphoyisa kamasipala ebambisene nophiko lwezamabhizinisi kwabakhona ukususwa kwabadayisi bokudla okusheshayo eduze kwesibhedlela esakhiwayo eBridge City ngenxa yokuthi badayisa ngendlela engekho emthethweni. Siyakhuluma neminyango ethintekayo ukuxazulula udaba lwabo ngokushesha”, kusho u Mayisela. Uqhube wathi saphuma isimemezelo sokuthi bonke abadayisi kumele babe nezimvume zokudayisa. “Abadayisi baxwayiswa phambilini ngobungozi bokudayisa ngaphandle kwezimvume, saphuma futhi isimemezelo sokuthi uma sekuvumelekile ukudayisa kule ndawo umasipala uyokhipha isikhangiso kwi Metro Ezasegagasini, isimemezelo sizobe sazisa bonke abadayisi ngenani lezindawo ezikhona nangendlela yokufaka izicelo zokudayisa kule ndawo, bonke abadayisa ngokungekho emthethweni bazohlawuliswa,” kulandisa u Mayisela.


AGASTI 2019

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 3

Kuphendulwe isoyi eShakashead “Lolu hlelo luzoqinisekisa ukuthi uHulumeni ka ANC awuzenzi izethembiso ongeke uzifeze.”

MAKHOSI MNGOMA Obambe eseMeya yomkhandlu waKwaDukuza uCllr Dolly Govender wethule ngokusemthethweni ukwakhiwa kwengqalasizinda ebiza izingidi zamarandi ezothuthukisa imigwaqo yase Shakashead engaphansi kuka wadi 4. Kulindeleke ukuthi lolu hlelo luxazulule izinkinga zabagibeli nabashayeli bezimoto kule ndawo ngokunciphisa umonakalo odalwa yizikhukhula ngenxa yengqalasizinda engekho esimweni. UGovender uncome izakhamuzi zakulendawo ngokubekezela kuze kube

ulethelwa izidingo. Uthe sekuyisikhathi sokuthi balethe abakuthembisa umphakathi ngesikhathi bekhankasela ukhetho. “Lolu hlelo luzoqinisekisa ukuthi uHulumeni ka ANC awuzenzi izethembiso ongeke uzifeze. Konke esakuthembisa abantu ngesikhathi sikhankasa kwakungeyona nje indlela yokuthenga amavoti, sizokwenza ngakho konke okusemandleni ukuthi sifeza zonke izithembiso esazenzayo. Siyabonga ukubekezela kwabantu bakulo mphakathi, abangazange babone kugqoza ukulethwa kwezidingo base beyoshisa amathayi bevala imigwaqo. Ingakho

namhlanje sizokwethula lolu hlelo oluzobasiza ukuthi bangaphinde bazithole sesebenzisa imigwaqo enodaka engekho esimeni,” kusho uGovender. Lolu hlelo olubiza imali elinganiselwa ku R12 387 317,62 kulindeleke ukuthi luqhubeke izinyanga eziyisithupha. Kuzokwakhiwa umgwaqo ongama 3,6km ubude ube u 5m ukuvuleka, kwakhiwe izinciphisa jubune Kanye namapayipi ahambisa amanzi, ukudwetshwa komgwaqo. UGovender uthe lolu hlelo luzophinde luhlinzeke abantu bendawo ngamathuba emisebenzi, uthe noma bazi ukuthi akubona bonke

abantu abazoqashwa kulolu hlelo kodwa bazokwenza isiqiniseko sokuthi abantu abahlwempu yibona abazoba seqhulwini. “Siyathokaza kakhulu ukuthi lolu hlelo luzohlomulisa abantu bakithi abangasebenzi noma kunjalo, akubona bonke abantu abazohlomula kulolu hlelo kodwa sizokwenza isiqiniseko ukuthi bonke abantu abahlwempu ikakhulukazi abafelokazi nezingane ezibheke amakhaya ngazodwana bayalithola leli thuba,” kuphetha uGovender.

Inhlokomo kubantu base Mhlathuze behlonyuliswa ngezindlu nge Mandela Month lu abehlala kuyo beyingekho esimweni. “Ngiyabonga kakhulu ezikhulwini zika Masipala wase Mhlathuze ngokusukumela phezulu udaba lwami, indlu ebengihlala kuyo beyingekho esimweni, bengithwala kanzima njengoba nghamba ngesihlalo esinamasondo. Ngiyabonga ku Masipala ngokuvusa umuzi wakithi, nami senginendawo yokufihla ikhanda nezingane zami,” kusho u Phiyose. Ugogo Nxumalo (87) uthe usehlale endlini engekho esimweni eseyiwe amahlandla

IMeya ka Masipala wase Mhlathuze u Cllr Mduduzi Mhlongo ihambisana nephini layo u Cllr Duduzile Sibiya, uSomlomo u Cllr Silondile Mkhize SIBULELO DLAMINI Ukwenza ngcono izimpilo zabantu kwakuyiphupho lika Nelson Mandela owayengu Mongameli kuleli. Ukugcina umbono ka Mandela, uMasipala wase Mhlathuze unikele ngezindlu ezintsha ceke kubantu abahlwempu. IMeya ka Masipala wase Mhlathuze u Cllr Mduduzi Mhlongo ihambisana nephini layo u Cllr Duduzile Sibiya, uSomlomo u Cllr Silondile Mkhize, osomabhizinisi bendawo kanye namakhansela banikele ngezindlu eziyisithupha kweziyisishiyagalolunye e Ntambanana. Ithimba ebeliholwa u Cllr Mhlongo linikele ngezindlu ikakhulukazi emindenini ehlwempu ehlonzwe ngohlelo lwe Sukuma Sakhe. Abahlomule kulolu hlelo kubalwa imindeni ebhekwe yizingane, yizaguga kanye nabantu abaphila nokukhubazeka. U Phakamani Mchunu (22) ohlala nezingane zakwabo eziyisithupha, ezimbili zazo

ziphila nokukhubazeka uthe sebehlale kwamakhelwane iminyaka eyevile kweyishumi. U Mchunu uthe kuyamthokozisa ukuthola uxhaso lwendlu oluvela kwa Masipala. “Sesihlale nomakhelwane iminyaka cishe eyevile kweyishumi. Ngihlala nodadewethu abayisithupha, kukhona nabaphila nokukhubazeka. Selokhu sahlala nomakhelwane kusaphila umama, waze washona eshonela khona emzini ka makhelwane, kuthe ngokuhamba kwesikhathi omakhelwane basisikela indawo yokuthi sakhe kuyo. Siphila ngemali yesibonelelo sika Hulumeni sodadewethu abapohila nokukhubazeka. Siyabonga kakhulu ngoxhaso oluvela kwa Masipala wase Mhlathuze,” kusho u Mchunu. U Mnu Fundakwezakhe Phiyose Biyela ohamba ngesihlalo esinamasondo waso Khabeni kwa Qomintaba uthe sekuyisikhathi eside ehlangabezana nobunzima njengoba ephila nokukhubazeka, uthe isimo send-

amaningi, u Nxumalo uthe indlu ayakhelwe uMasipala izokwenza ngcono isimo sempilo yakhe nomndeni wakhe. “Ngithanda ukubonga kakhulu uMasipala wase Mhlathuze ngokungakhela ikhaya lami, sekuyisikhathi eside ngihlala endlini engekho esimeni nomndeni wami. Kuke kwaba khona izikhukhula ezishiye indlu ebesihlala kuyo ipheshukelwe uphahla, ngiyabonga kakhulu ngalendlu esiyakhelwe uMasipala,” kusho u Nxumalo.

ISAZISO SOMPHAKATHI

ASIGWEME UKUBHEDUKA KWEMILILO KULOBUSIKA Njengoba sekusebusika, uMasipala wethu ujwayele kakhulu ukuba isisulu semililo ikakhulukazi ezindaweni okwakhiwe kuzo imikhukhu. Ngokubambisana singakugwema lokhu ngokwenza izinto ezimbalwa kodwa ezimqoka.

YIBA ISAKHAMUZI ESIQOTHO NGOKUTHI NGASOSONKE ISIKHATHI WENZE LOKHU OKULANDELAYO: •

Hlukana nokulahla isitompi sogwayi budedengu.

Qinisekisa ukuthi izingane azifinyeleli ezintweni ezifana nometshisi.

Gwema ukushiya noma uvalele izingane zodwa endlini.

Asiqikelele ukuthi izinto ezifana nezimbawula asizilali nazo endlini.

Asiqaphele ukuthi ikhandlela ligxumekwe ngendlela yokuthi angeke lawa lithungele umlilo.

Emva kokubasa umlilo phandle, asesnze isiqiniseko sokuthi siyawucima emva kokuwusebenzisa.

Uma sonke singaqikelela ukuthi lokhu sikwenza ngokungena mkhawulo, umasipala wethu angeke waba nezigameko zemililo eyeziwa ubudedengu nezidlula nemiphefumulo minyaka yonke.

Ngo-2030 iTheku liyobe lingu ngqa phambili.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


IKHASI 4

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

AGASTI 2019

I UNAIDS ne SANAC bethule iUNAIDS Global Report TEBOGO SIBISI Inhlangano i United Nations Joint Programme on HIV/AIDS (UNAIDS) noSihlalo we South African National Aids Council (SANAC) uMnuz. David Mabuza ophinde abe yiSekela Mongameli kuleli bethule ngokusemthethweni iUNAIDS Global Report ecubungula igxathu eselithathiwe ukulwisana negciwane le ngculazi. Likhulu igxathu elithathwe yiNingizimu Afrika ukulwisana nokubhebhetheka kwegciwane lesandulela ngculazi, umbiko we UNAIDS wonyaka nonyaka uveza ukuthi izibalo zomhlaba jikelele zokubhebhetheka kwegciwane lengculazi zishayisa amakhala njengoba izinga lokulwisana naleli gciwane emhlabeni jikelele lehlile. Umqondisi we UNAIDS uNkk Gunilla Carlson uthe: “Sidinga ngokuphuthuma ubuholi obuqotho obuzokwethula izinhlelo ezintsha zokulwisana nalesi sifo. Lokhu kuqala ngokubhekisisa amazwe enza kangcono ekulwisaneni nalesi sifo ukuthi enza kanjani. Ukuqeda igciwane lengculazi nesandulela sayo yinto engenzeka uma singabeka phambili izimpilo zabantu asebehaqwe yilesi sifo, siphinde sibheke izinhlelo zokuselapha lesi sifo ezizobeka amalungelo abantu abaphila naso phambili”. Lo mbiko uveza ukuthi inani labantu abasuleleka ngalesi sifo lehle okungenani ngo 40%, uphinde uveze ukuthi izinga labantu ababulawa yisandulela ngculazi nalo lehle

ngo 40% kusukela ngo 2010. USihlalo we SANAC uMnuz. David Mabuza uthe kuyabathokozisa ukwethula uhlelo olufana nalolu endaweni lapho izinga lokulwisana nalesi sifo lilihle. “INingizimu Afrika inomlando onothile ngemiphakathi ezibambela mathupha ekulwisaneni negciwane lengculazi, kuyathokozisa ukuthi sethula i 2019 UNAIDS Global Aids Update kuleli lizwe, eShowe, esifundazweni saKwa Zulu-Natali, lapho khona izinhlelo zokulwisana nesifo sengculazi zithela izithelo,” kusho uMabuza. Umbiko we UNAIDS uveze ukuthi esifundazweni saKwa Zulu-Natali, umuntu oyedwa kwabane abalinganiselwa ku 15 no 59 weminyaka babephila nesifo sengculazi. Ukusungula izinhlangano ezizimele ezisiza ukuhlola nokwelapha igciwane le ngculazi kwenze umehluko omkhulu Eshowe nasezindaweni ezingomakhelwane. Lo mbiko uthi: “Amabhodi okwaluleka umphakathi akhiwe abaholi bendabuko, abelaphi bendabuko izinhlangano ezizimele, abantu abasha, abantu besifazane, abantu abaphila negciwane lesandulela nculazi kanye nabantu abaphila nokukhubazeka yibona ababuthelana ndawonye ukudingida inqubekela phambili baphinde baqhamuke nezisombululo.” Isifunda sase Showe siphumelele ukuthola u 90-90-90 wezibalo ngaphambi komnqamula juqu wango 2020. Lezi zibalo zisho ukuthi u 90% wabantu abaphila nesifo sengculazi

I Acting Executive Director yakwa UNAIDS u Nkk Gunilla Carlson noSihlalo we SANAC u Sekela Mongameli David Mabuza ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni i UNAIDS Global Report Eshowe. bayasazi isimo sabo, u 90% uzothola imishanguzo yesifo sengculazi, u 90% uzothola ukudambiseka kwegciwane lengculazi njengemiphumela yokuthaha imishanguzo, izibalo zika zwelonke ziku 79-78-86. UNksz. Sthandwa Buthelezi owasungula iShine okuyinhlangano elwela amalungelo abantu abaphila nalesi sifo Eshowe ugqugquzele abantu ukuba bakhulume ngokukhululeka ngezimo zabo zempilo, uthe ukucwaswa nokungemukeleki kwabantu abaphila nalesi sifo emiphakathini kumele kulwisanwe nakho. “Sengiphile nalesi sifo iminyaka engu 16, ngiyalwisana nokusabalala kwalesi sifo

futhi ngenza kangcongo. Kusamele kuhanjwe ibanga elikhulu ekulweni nokucwasa nokukubandlulula abantu abaphila nalesi sifo. Njengesishoshovu esilwela amalungelo abantu abaphila nalesi sifo, ngithanda ukukhuthaza wonke umuntu ngisho nabaholi bemiphakathi ukuthi bakhulume ngouvuleleka ngalesi sifo ukwenza abantu baphile ngokuzethemba,” kusho uButhelezi. INingizimu Afrika ihlonzwe njenga nezwe eline antiretroviral therapy enkulu ukuwedlula wonke, inhloso ngqangi ukuhlinzeka ngosizo lwezempilo okungenani kubo bonke abantu abaphila nesandulela ngculazi.

Uhulumeni uzibophezele ukusiza abakhubazekile MAKHOSI MNGOMA OBAMBE-NJENGEMEYA yomkhandlu waseMandeni uCllr. Phindile Sishi ehambisana noNgqongqoshe womnyango weZokuhlaliswa kwabantu Nemisebenzi yoMphakathi uPeggy

Nkonyeni bahlomulise abantu ngezindlu nokudla. Lolu chungechunge lokuvakasha kwaleli thimba luqale ngokuvakasha kungazelele eSundumbili Clinic nasemahhovisi akwa SASSA lapho befike banikela ngezipho kubantu baphinde balalela uhlu lwezikhalo zabasebenzi, ngezinkinga ababhekana nazo usuku nosuku. Inhloso ngqangi yosuku bekungukunikela ngezindlu ezimbilikweziyishiyagalolunye ezakhiwe kubantu abaphila nokukhubazeka. Lezi zindlu zinikelwe ku wadi 2 naku wadi 9 eMacambini. U Nksz Bukwaphi Mhlongo waku wadi 2 no Khethiwe Ngubane waku wadi 9 bahlomule ngezindlu ezakhiwe ngokuphelele zafakwa nefenisha. U Mhlongo

Kusuka kwesobunxele: H.O.D Champion Thando Tubane ophuma e Department of Corporate Governance and Traditional Affairs, iMaya yomkhandlu iLembe District Municipality uCllr Siduduzo Gumede, MEC Nksz Peggy Nkonyeni, ikhansela le Wadi 9 Cllr M.M. Mngadi, obambe ese Meya yase Mandeni Local Municipality u Cllr Phindile Sishi, iPhini le Meya ye Ilembe District Municipality u Cllr Dolly Shandu kanye nohlomule ngendlu enefenisha, isihlalo esinamasondo kanye nokudla ophuma ku wadi 9 u Nkk Khethiwe Ngubane. Isithombe: Mandeni uthe kuyamthokozisa ukuba ngomunye wabahlomula kulolu hlelo. “Ngiyajabula kakhulu ngakho konke engikwenzelwe uHulumeni, lokhu kugcizelela ukuthi uHulumeni wethu uyalalela. Ngizizwa ngithokoza ngokwazi ukuthi sengizoba nophahla phezu kwekhanda lami, uHulumeni uyishintshile impilo yami,” kusho u Mhlongo. UMasipala uphinde wagixabeza uNgubane no Mhlongo ngokudla, iziphathimandla zaphinde zalungisa izingadi zabo ukuqinisekisa ukuthi banokudla okunomsoco ngaso sonke isikhathi. Ekhuluma kulo mcimbi uSishi uthe ngisho uMandela angazishaya isifuba ngalokhu abakwenzile njongoba wayehlezi ekhuthaza ukulingana kubo bonke abantu kungakhathaleki ngemuva lesimo sempilo yabo. “UHulumeni wethu uzibophezele ukwenza ngcono izimpilo zabantu noma ngabe baqhamuka kuyiphi imvelaphi, kulolu suku lwe Mandela Day sisazoqhubeka nokuzibophezela ngokwenza ngcono izimpilo

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

zabantu,” kusho uSishi. UMphathiswa uNkonyeni uthe uMnyango wakhe uzibophezele ekwenzeni ngcono izimpilo zabantu abaphila nokukhubazeka kulo nyaka wezimali. “Sikwenze isibophzelo sethu sokuqala ukwenza ngcono izimpilo zabantu, kungumsebenzi wethu njengo Hulumeni ukubahlonza bonke abantu abaphila nokukhubazeka siphinde senze isiqiniseko sokuthi sithuthukisa izimpilo zabo, siphinde senze isiqiniseko ukuthi banesabelo ekwenzeni ngcono isimo somnotho wezwe lethu,” kusho u Nkonyeni. Umcimbi uqhubeke e Macambini Multi-Purpose Hall lapho abantu abalinganiselwa kwabayishumi behlonyuliswe ngezingubo zokulala nezijumbana zokudla. IMeya yesiFunda iLembe uCllr. Siduduzo Gumede nePhini lakhe u Cllr Dolly Shandu nenhloko yomnyango uMnuz. Tubane bebeyingxenye yomcimbi.


AGASTI 2019

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 5

Sebezoyizwa ngendaba eyokwentuleka kwamanzi eShikishela SIBULELO DLAMINI UMphathiswa weZokusebenza Ngokubambisana koHulumeni neZindaba Zomdabu uMnuz. Sipho Hlomuka ehambisana neMeya yomkhandlu wase Mkhanyakude uCllr Solomon Mkhombo neMeya yomkhandlu wase Mtubatuba uCllr Velangenkosi Gumede bamemezele ngokusemthethweni usonkontileka ozophatha uhlelo lokuhlinzeka ngamanzi abantu abakhele eShikishela kuwadi 15. Lolu hlelo olubiza isamba semali esilinganiselwa ku R17 million oluzovuselela iMpukunyoni Water Scheme kuphinde kuvuselelwe ukwakhiwa kwemithombo (boreholes) engu 14 kule ndawo. Lolu hlelo kulindeleke ukuthi luhlomulise abantu abalinganiselwa ku 27 000 abakhele lo masipala. UHlomuka ekhuluma nabaholi bomphakathi, izinduna, amaKhosi, amakhansela kanye namalungu ekomiti lomphakathi uthe amageja enele abalimi njengoba umkhandlu wase Mkhanyakude sowuthathe igxathu lokuhlomulisa abantu ngamanzi. “Usuku lwanamuhla luyingqophamlando, akulona nje usuku lokuzothenga izindlebe zezakhamuzi kodwa olokuzibophezela kuka Hulumeni ukuthatha igxathu elibalulekile lokuhlinzeka abantu ngamanzi ahlanzekile. Silindele ukuthi

usonkontileka aqale umsebenzi maduze, ukuze kube nesiqiniseko sokuthi abantu bakithi abaphinde beswele isidingo ngqangi esifana namanzi ahlanzekile,” kusho u Hlomuka. Le ndawo ike yaba nezibhelu zemibhikisho abantu bezwakalisa ukungenami kwabo ngokugqoza kokulethwa kwentuthuko. Okwakuseqhulwini ezikhalweni zababhikishi kwakuwukungabi nawo amanzi ahlanzekile ezindaweni ezahlukene. Lo mhlangano bowuthanyelwe iziphathimandla ze Ithendele Coal Mine eyaqala ukusebenza endaweni ngo 2006. Izikhulu zale mayini zithembise ngokunikela ngamalitha amanzi angama 30 000 usuku nosuku, khona manjalo lezi zikhulu ziphinde zathembisa ukulungisa umgwaqo ukuze kuzoshesha uhlelo lokuhlinzekwa kwamanzi kulo mphakathi. UHlomuka usishayele ihlombe lesi sithembiso seziphathimandla zale mayini. UHlomuka uqhube uhambo lwakhe wayohlangana nomphakathi wakwa Mhlabuyalingana. Uhambele endaweni yase Skhemelele, Mtikini nase Scabazini. UHlomuka ubeyohlangana nomphakathi ngenhloso yokuhambisa izimpendulo ngemuva kokuba umphakathi ubhikishele ukungabi khona kwamanzi endaweni. UHlomuka utshele lo mphakathi ukuthi banezinhlelo zesikhashana zokuhlinzeka ngamanzi emiphakathini.

IMeya yesifunda uMkhanyakude uCllr Mkhombo utshele izakhamuzi ukuthi bethule uhlelo lokuletha amanzi emiphakathini ekhahlamezeke kakhulu. “Sisasebenza ohlelweni lokuhlinzeka imiphakathi yethu ngengqalasizinda yamanzi. Okwamanje sithanda ukwazisa umphakathi ukuthi sethule uhlelo lokwakha isiqukathi samalitha angama 1 million eMtikini School. Konke lokhu kuzobe sekuphelile ezinyangezi ezingengaki ezizayo,” kusho uMkhombo.

UNgqongqoshe Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zomdabu Esifundazweni saKwaZulu -Natali uMnuz. Sipho Hlomuka

UZikalala ugqugquzele ubuqotho emadodeni UNdunankulu waKwa Zulu-Natali uMnuz. Sihle Zikalala ugqugquzele amadoda ukuba abe amanxusa obuqotho ngaso sonke isikhathi. TEBOGO SIBISI Mhla zingu 10 ku Julayi, uNdunankulu wesifundazwe saKwa Zulu-Natali uMnuz Sihle Zikalala uhole ithimba lamadoda kwimashi abehlose ngayo ukwethula inyanga yamadoda. UZikalala unxuse amadoda ukuba abe abavikeli kubantu besifazane, izingane kanye nabantu abaphila nokukhubazeka. “Sifisa ukukhumbuza amadoda wonkana ukuba abe amanxusa obuqotho kuzo zonke izinhlaka, asifisi ke ukubona lokhu kugcina manje kodwa siyafisa kuqhubeke noma seyidlulile inyanga yamadoda. Sikhuthaza amadoda ukuba abe ngabavikeli kubantu besifazane, izingane kanye nabantu abaphila nokukhubazeka. Amadoda yizinsika zemizi, siyawagqugquzela ukuthi avuleleke uma kukhona lapho anganelisekile khona kunokuthi aphenduke izilwane ingaziwa imbangela,” kusho uZikalala. Uqhube wathi basezinhlelweni zokusungula izinhlaka ezizoba amaziko lapho amadoda edingida aphinde abhunge khona ngezinkinga abhekene

nazo kanye nokunye okungawathuthukisa. “Sekuyisikhathi sokuthi siqinise amaxhama ezokuxhumana ikakhulukazi kwizinhlaka ezibhekele amadoda, ngoba wona asasilele ngemumva ezintweni eziningi. Sizimisele siwubuholi sokusungula amaziko lapho amadoda ezodingida khona izinto ezakhayo, sikhuthaza ukubambisana emadodeni khona kuzoba lula ukubumba isizwe esiphumelelayo,” kusho uZikalala. Phakathi kwezihambeli ebezihambisana no Ndunankulu kule mashi, umphathiswa wezokuphepha nokuxhumanisa umphakathi uMnu Mxolisi Kaunda, izinyane leSilo umtwana uNhlanganiso Zulu, inkosi yase Madungeni iNkosi Phathisizwe Chiliza, umphathiswa weZamagugu namsiko, ezemidlalo kanye nezokungcebeleka uNksz Hlengiwe Mavimbela, iPhini leMeya yase Thekwini uNkk Fawzer Peer kanye no Bishop Bhekimpi Mchunu we South African Men’s Citedal. Ekhuluma ngokwentuleka kwezigcawu lapho amadoda ehlanganyela khona ukudingida izinto ezithinta wona ngqo, uKaunda uthe kusezinhlelweni zabo

ukusungula iphalamende lamadododa lapho kuzovuleleka amadoda ukuba abe nesiqoqo sawo lapho ebonisana khona ngezinto ezahlukene. “Njengoba liyohlala iphalamende lesifundazwe, sinezinhlelo zokusungula iphalamende lamadoda ngoba ilona okusenzima libe khona. Ezinye zezinto esizoziqinisekisa ukuthi sigqugquzela amadoda ukuba abe qotho emindenini yawo. Sithi phansi ngamadoda ahlukumezayo, sizimisele futhi ukuwuqala esigabeni esiphansi lo mkhankaso lapho sizobe sihambela izingane zabafana sizifundisa ngokuba qotho. Sinxusa wonke amadoda ukuba abe isibonelo esihle ezinganeni ezisakhula, ngokuvikela nangokunakekela imindeni yawo,” kuphetha uKaunda.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


IKHASI 6

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

AGASTI 2019

“Sikhuthaza bonke abantu ukuthi benze ushintsho ezimpilweni zabanye abantu,” Khuzwayo-Dlamini

MAKHOSI MNGOMA IMeya ka Masipala wakwaMaphumulo Local Municipality u Zibuyisile Khuzwayo-Dlamini ihambisana nephini layo uCllr Zama Ncalane, uSomlomo uSimphiwe Shange kanye namakhansela bahambele eSese ngemigubho ye Mandela Day. Ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Take Action, Inspire Change, Making everyday a Mandela Day”, leli thimba lihambele eSese ngomhlaka 18 Julayi 2019 ukuyohlola inqubekela phambili yokulungiswa kwemigwaqo nokuyonikela ngezijumbana zokudla emindenini ehlwempu, ikakhulukazi ebhekwe yingane kanye nezaguga. UKhuzwayo-Dlamini ngokuhlanganyela ne Enterprise bavakashele KwaSondokhulu Early Childhood Development ukuyovuselela isakhiwo baphinde

banikele ngezipho kubantwana. Ethula inkulumo yakhe kubantu abebethamele lo mcimbi u Khuzwayo-Dlamini uthe usuku lokugubha impilo ka Mandela alenzelwe nje kuphela ukubuyekeza amagalelo aba nawo ekushintsheni izimpilo zabantu, kodwa lenzelwe ukugqugquzela abantu ukuthi benze umehluko ezimpilweni zabantu. “IMandela Day ayenzelwe nje kuphela ukugubha nokubuyekeza impilo yaleli qhawe kodwa nokukhumbuza abantu ukuthi bangenza umehluko ezimpilweni zalabo abahaqwe ububha kanye nokungalingani. Ngikhumbula amazwi ka Tata athi, “Okubalulekile empilweni akukhona nje kuphela ukuthi siphilile. Kungukuthi yiluphi ushintsho esilulethile ezimpilweni zabantu, oluzohlonza ukubaluleka kwempilo esiyiholayo.” Njengoba sigubha iminyaka

IMeya ka Masipala i Maphumulo Local Municipality u Zibuyisile Khuzwayo-Dlamini, ehambisana ne Phini lakhe u Cllr Zama C Ncalane, uSomlomo uSimphiwe Shange kanye namakhansela ka Masipala ngesikhathi kunemigubho ye Mandela Day. Isithombe: Maphumulo Municipality engama 25 yentando yeningi, sinxusa umphakathi wakwa Maphumulo, ikakhulukazi intsha ukuthi ibambe iqhaza ekwenzeni ngcono izimpilo zabantu nge Mandela Day,” kusho u Khuzwayo-Dlamini. IMeya iphothule uhambo lwayo ngokuhambela e Ntunjawmbili ku ward 1,

lapho enikele ngezitofu zegesi ezintathu kubantu besifazane abasha abaqhuba ibhizinisi lokudla kule ndawo. Lolu chungechunge lwe Meya beluhanjelwe ilungu lesiShayamthetho Kwa Zulu-Natali u Hon. Jomo Sibiya

UMkhandlu waKwaDukuza nabakwa SEDA beza nohlelo lokuthuthukisa ama SMMEs SIBULELO DLAMINI UMkhandlu waKwaDukuza ubambisene

ne Small Enterprise Development Agency (SEDA) babambe uqeqesho losomabhizinisi nabaphathi bama Small, Medium and

Micro-Enterprises (SMMEs) lwezinsuku ezinhlanu KwaDukuza Townhall Supper Room. Inhloso yalolu qeqesho ukuthukisa ngamakhono osomabhizinisi nabaphathi bama SMMEs, phakathi kwezinye zezinto ekucijwa ngazo osomabhizinisi, ukubhala izinhlelo zamabhizinisi (business plans) asezingeni eliphezulu kanye nezindlela zokufaka izicelo zoxhaso lwezimali. Lolu qeqesho luqale mhla zingama 22 ku Julayi 2019 lwaphela mhlaka 26 Julayi 2019. UMasipala waKwaDukuza kanye nabakwa SEDA bebezibophezele ukuthuthukisa ama SMMEs angama 30 angaphansi kuka Masipala ngalolu hlelo lweminyaka emithathu. Okunye okuhlalukile yizinkinga abaphathi bama SMMEs ababhekene nazo mayelana nokuthuthukisa baphinde badlondlobalise amabhizinisi wabo. Ezinye zezinkinga ezibe ngezivelele ezokwentuleka koxhaso losomabhizinisi abasafufusa, ukwentuleka kwezikhungo ezifana ne SEDA zokuqeqesha osomabhizinisi, ukungeneli kolwazi ngezindlela zokuthola uxhaso lwezimali kosomabhizinisi kanye nokwantuleka kwamakhono okuphatha ngendlela am-

abhizinisi. UMasipala waKwaDukuza uzibophezele kwi MoU ukubambisana ne SEDA ukweseka ama SMMEs ngoxhaso oluzowasimamisa kanye noqeqesho. Obambe eseMeya KwaDukuza u Cllr Dolly Govender ukwamukele ngezandla ezimhlophe ukuqalwa kwalolu hlelo lokuqeqesha osomabhgizinisi abasafufusa, uthe akakungabazi ukuthi u SEDA uzoletha izixazululo ezinkingeni ama SMMEs abhekene nazo KwaDukuza.“Sizwile ukuthi u SEDA sowusize izigidi ngezigidi zosomabhizinisi abasafufusa, abanye batakulwa amabhizinisi abo esesengozini yokushabalala. Namhlanje labo somabhizinisi baletha okungenani u 57% we Gross Domestic Product (GDP). Sinethemba ukuthi laba abaqeqeshwayo kulolu hlelo, okungenani bonke kubona bazosebenza ngokuzikhandla ukuthuthukisa amabhizinisi wabo,” kusho u Govender. Lolu qeqesho luhanjelwe abantu abangama 30, kubona abesifazane bayisikhombisa, abesilisa bangu 17 kanti abantu abasha bangu 12.

Osomabhizinisi ababambe iqhaza ohlelweni lokuqeqeshwa kwabaphathi bama SMMEs nosomabhizinisi abasafufusa. Isithombe: KwaDukuza Municipality

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


AGASTI 2019

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 7

Amadoda nabesifazane bayadingana VUSI CEBEKHULU Kwinyanga kaJuly lapha endaweni yase Orange Farm, Gauteng besihlele imbizo yamadoda ngenhloso youkugubha nokububgaza inyanga yamadoda. Kuyiqiniso ukuthi kuncane kakhulu esingakuthokozela owenzwa ngamadoda uma ubuka izigameko zokubulawa, ukuhlukunyezwa kwabesifazane kanye nokushiywa kwezingane ngobaba. Kodwa lokho akwenzi ukuthi singaboni lelodlanzana lamadoda enza kahle, ngakho yilesizathu sibize amadoda ukuzokwabelana ngolwazi. Kuxoxwe ngezihloko ezikhuluma ngokulingana ngobulili, ukuhlukunyezwa

kwabesifazane kanye nesondlo, lapho kuvele khona ukuthi amanye amadoda awaphenduki nje izidla mlilo kodwa kokunye indlela abakhuliswe ngayo nokubona udlame ebelenziwa ngobaba behlukumeza abaesifazane. Okunye okuxoxwe ngakho, indaba yokungondlwa kwezingane, noma obaba abangabambi iqhaza ekukhuliseni izingane. Amadoda athathe lethuba ngokuveza ezinye izinkinga ezibangwa ngomama bezingane, lapho umama esenawo amandla angavumi ukuthi ubaba abambe iqhaza enganeni bese kuthi ngemuva kweminyaka ethize esephelelwe ngamandla, bese ethi ubaba akakaze abambe

iqhaza enganeni. Kube sekucaca ukuthi bonke abaesifazane namadoda ayadingana ikakhulu ekukhuliseni izingane. Sibheke kwinyanga yabesifazane, kungabakuhle ukuthi kungabi inyanga lapho sibona ezinye izigameko ezethusayo zokubulawa nokudlwengulwa kwabesifazane, kodwa sibone ukubambisana kwalobulili bobubili bumbambisana ekwakheni umphakathi omuhle futhi onothando. Singajabula kakhulu ukuthi abesifane namadoda alwele kakhulu ukuvikela nokukhulisa izingane. Happy Women’s month!!!

Bahlomule ngenkulisa odado ngekaMadiba SIBULELO DLAMINI

K W A D U K U Z A

>> UMHLELI MAKHOSI MNGOMA makhosi@sivubelaintuthuko.co.za 083 618 4252

>> IPHINI LOMHLELI TEBOGO SIBISI tebogo@sivubelaintuthuko.co.za 079 245 8462

>> INTATHELI YEZEMIDLALO THABANI MAPHUMULO trmaphumulo@gmail.com 081 794 8407

M U N I C I P A L I T Y

>> GRAPHIC DESIGNER AND LAYOUT LINDA MAZIBUKO trusouth1@gmail.com 079 535 0581

VACANCIES The KwaDukuza Municipality seeks to fill the following positions and accordingly invites applications from persons who meet the requirements as indicated. Please note that the post title and post identification number (KDM.) MUST be indicated on your application which MUST be accompanied by certified copies of your qualifications, identity document and driver’s licence where applicable. Applicants are also advised to ensure that their applications address the selection criteria in terms of qualifications, experience and any other requirements as set out in the relevant advertisement as shortlisting will be based on these selection criteria.

IWEBSITE YETHU www.sivubelaintuthuko.co.za

PLEASE NOTE THAT APPLICANTS FOR POSTS BELOW TASK GRADE 11 ARE REQUIRED TO ATTACH THE PREFERRED EMPLOYMENT OPPORTUNITY FORM OBTAINABLE FROM KDM HUMAN RESOURCES WHICH MUST BE SIGNED BY A WARD COUNCILLOR, AS PREFERENCE WILL BE GIVEN TO LOCAL RESIDENTS. OFFICE OF THE MUNICIPAL MANAGER BUSINESS UNIT

FACEBOOK sivubela intuthuko

KZ292MM1A002: INTERNAL AUDITOR (TASK GRADE 12: R 310 529.07– R 403 080.10 p.a.+ Locomotion Allowance and Cell-phone Allowance in terms of council’s policy) Requirements: A Relevant Bachelors of Commerce degree or / ND Diploma with at least 2 of the following major Modules, Internal Auditing; Auditing, Information Technology, Financial Accounting, Information Systems; Internal Auditing or Auditing is compulsory major; Internal Auditing Technician Programme will be an added advantage; Must have 3 years’ experience in an auditing environment (Internal or External);Must be fully computer literate(Excel, MS Word, Presentation); Code 08/B drivers Licence.

TWITTER @sivubela intuthuko

Duties: Document all relevant systems descriptions , procedures, operations, transactions flows and activities as identified in the Audit Plan; Identify and analyse inherent risks to systems, process and activities; Identify and analyse controls employed by Management Perform process analysis and detailed testing of transaction and processes; Report weakness on the internal control systems and make recommendations; Develop and executie control testing procedures; Preparation of Draft Reports on specific Internal Audit assignments; Monthly updates of AG action plan; Compliance checklists; Assessment of POE Files in respect of AG Action Plan and Compliance Checklists; Dealing with the updates of the Status Of Records; Review of junior internal audit work.

INSTAGRAM sivubelaintuthuko

CIVIL ENGINEERING SERVICES AND HUMAN SETTLEMET BUSINESS UNIT

IKHELI LETHU B 33 Ten Acre Thembeni Groutville P.O Box 4473, Stanger4450, 270 Stamford Hill Road Unit 1 Morningside, Durban, 4000 UMA UFUNA UKUKHANGISA KULELIPHEPHANDABA , SHAYELA 031 822 2602/083 618 4252

KZ292CEHS007: FINANCE OFFICER (TASK GRADE 10: R 222 801.79– R 289 195.80 p.a.) Requirements: A grade 12;Bcom degree in the field of Accounting/Financial Accounting/Management Accounting or equivalent at an NQF level 6 qualification; Computer literate (MS Word & Excel);Code B/08 driver license;3-4 years relevant experience within the control environment preferable in Local Government. Duties: Responsible for verifying, checking and recommending any claim by Civil Engineering/PMU service provider for payment. Perform monthly reconciliation of all Civil/PMU projects accounts in consultation with Finance Section. Prepare finance reports or documents to the Department of Corporate Governance & Traditional Affairs for reporting, claiming and information. Prepare monthly report on the expenditure to-date to the relevant portfolio committee and the Department. Assist with attending any query by internal and external auditors on finance related matters. Provide technical advice to the relevant Directorate on finance related issues. Perform any duty that can be delegated within the Finance environment. PLEASE NOTE: 1. Applications are to be addressed to the Municipal Manager, KwaDukuza Municipality P.O. Box 72, KwaDukuza 4450, for attention the Human Resources Department and may be posted or hand delivered. (Note that hand delivered applications must be handed to the H.R Officer/Clerk, number 34 OK Mall, Chief Albert Luthuli Street, KwaDukuza, Contact No. 032 437 5153/5142 2. The Closing Date and time is 14 August 2019, at 12H00. No Applications will be accepted after the closing date and time. 3. Please DO NOT fax or e-mail applications. Please DO NOT submit applications on Z83 forms. Please NOTE THAT APPLICATIONS MUST BE SUBMITTED ON KWADUKUZA MUNICIPALITY’S APPLICATION FORM WHICH IS OBTAINABLE ON THE MUNICIPALITY’S WEBSITE (www.kwadukuza.gov.za) KwaDukuza Municipality adheres to the National Employment Equity Strategy. Post levels are subject to conversion according to the TASK Job Evaluation system. Further communication will only be with shortlisted candidates, such shortlist being confined to the candidates that best meet the requirements according to the information supplied in their CV’s. Candidates not contacted within 3 months off the closing date may consider their applications unsuccessful. Council reserves the right no to appoint. Canvasing to Councillor’s in form of gifts is prohibited. Issued by the Office of the Municipal Manager, NJ. Mdakane. 14 Chief Albert Luthuli Street, KwaDukuza, 4450 MN: 165/2019

SEBEZOFUNDA bekhululekile abantwana benkulisa i Shayamoya Creche ngemuva kokuba inkampani yezamanzi iSembCorp Siza Water and R&Amp ibambisene nenkampani i B Civil benikele ngegumbi lokufundela kule nkulisa. Leli gumbi kulindeleke ukuthi lisize abantwana bakule nkulisa abaneminyaka esuka ku 0-4 ukuba bahlukaniswe ngamagumbi okufundela kangangezidingo zabo zezemfundo. I Managing Director yakwa Siza Water u Shyma Misra uthe bahlezi besezinhlelweni zokuthuthukisa ezemfundo emphakathini. “Ukuletha izinhlelo ezizokwenza izinga leze mfundo emiphakathini yethu kuhlezi kuse qhulwini kithina, sizimisele ukwenza isisekelo esizoba nomthelela omuhle ekukhuliseni imiphakathi yethu,” kusho u Misra. USomlomo kumasipala wesiFunda iLembe u Cllr. Lucky Makhathini ugubhe usuku lwe International Mandela Day KwaDukuza eShayamoya Creche ngaphansi kwawadi-23. Ethula inkulumo yakhe, uMakhathini ugcizelele ukuthi kubalulekile ukunakekela imiphakathi ukuze kushintshwe izimpilo zabantu abahlwempu futhi kube yinto eyenziwa nsukuzonke ingagcini ukugqama ngenyanga kaMadiba.” UMphathi wenkulisa u Joyce Dladla uzwakalisa okukhulu ukujabula ngokwandiswa kwamagumbi enkulisa. “Sijabula kakhulu ngomnikelo esiwuthole kwabakwa Siza Water and R&amp nabakwa B Civil, siyafisa sengathi izinhlelo ezifana nalezi zingangagcini ngathi kepha ziqhubeke ngoba izinkulisa yisona sigaba lapho abantwana bekhuliswa ngendlela. Sekuzoba lula kithina ukufundisa abantwana njengoba sebezohlukana ngokwezidingo zabo.” UKhansela le wadi u Cllr. John Phahla uthe izinkampani ezifana ne Siza Water bayathanda ukuzibona zisimama ngoba zenza omkhulu umehluko emiphakathini ezisebenzela kuyona. “Igalelo lezinkampani ezifana ne Siza Water liyabonakala emiphakathini, siyafisa ke ukuzibona zisimama ukuze zizoqhubeka nokuselekelela ekwenzeni ngcono izimpilo zabantu basemiphakathini yethu,” kusho u Phahla. I SembCorp Siza Water isebenza ngokubambisana nomkhandlu wesifunda iLembe ukuhlinzeka amanzi nokuthuthwa kwendle kusuka e Ballito kuya eTete.

Kusuka kwesobunxele oThisha base Shayamoya Crèche, uLungi Ngubane no MduduziMbili, uSomlomo womkhandlu iLembe District Municipality u Cllr. Lucky Makhathini, neManaging Director yakwa Siza Water u Shyma Misra, ikhansela le wadi u Cllr. John Phahla,nesikhulu sakwa R&B Civils’ u Mark Morgan, uMphathi wenkulisa u Nkk Joyce Dladlakanye nabantwana abafunda kule nkulisa

SIVUBELA Intuthuko ITHIMBA LEPHEPHA

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


IKHASI 8

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

AGASTI 2019

Sivubela Intuthuko

EZEMIDLALO

iBay F.C isize isikole esiya phesheya THABANI MAPHUMULO IQEMBU lebhola eligijima kuNational First Division (NFD) iRichards Bay fc ivakashele isikole samabanga aphansi saseNseleni uMzuvukile Primary ngenhloso yokuzosihlomisa ngolwazi njengoba sizolibangisa eSpain ngenyanga uMfumfu. Lesi sikole sizomela elakuleli kumqhudelwano we-U/15 Danone Nations Cup. IBay ebihambisana nabadlali ithimba labaqeqeshi kanye noSihlalo walo uSifiso “Jomo” Biyela linikele ngezinsiza zokudlala kulesi sikole okuhlanganisa amajezi, amabhola, kanye namamaka. UBiyela uthi uhlelo lwabo

lokugqugquzela intsha ukuba izivandakanye nezemidlalo.” Lolu uhlelo lwethu lokuqinisekisa ukuthi intsha iyazibandakanye nezemidlalo, ikakhulukazi lesi sikole sizomela izwe lonkana. Sibone kunesidingo ukuthi sisize ngezinsiza zokuziqeqesha.” kusho Biyela. Lesi sikole asigcinanga nje ngokuthola lezi zinsiza zokudlala njengoba abaqeqeshi kanye nabadlali bephinde bacobelela intsha ngolwazi kwezikanobhutshuzwayo ngokuthi babe nama-Coaching Clinics. Wonke amathemba eNingizimu Afrika alele kuleli qembu elimangaze abaningi linqoba kulesifundazwe laphinde laya kuzwelonke laphuma phambili. UMqeqeshi wesikole uManqoba uzwakalise okukhulu okujabula

ngokuthola izinsiza ngoba kuzobasiza kakhulu ukuzilungiselela uhambo lwabo lwaseBarcelona, eSpain ngenyanga uMfumfu.

ILamontville Golden Arrows ithele othulini iReal Kings kowe KZN Premier’s Cup THABANI MAPHUMULO I Lamontville Golden Arrows izishaya isifuba ngokuba wompetha be Kwa Zulu-Natal Premier’s Cup ngemuva kokudlisela ogageni i Real Kings eKing Zwelithini Stadium eMlazi. Abafana Bes’thende baguqise i Royal Eagles edlala kwi National First Division ngamagoli amabili eqandni (2-0). I Arrows bese isinqoba okwesibili lesi sicoco, njengoba yake yaba ngompetha ngonyaka wezi 2011. Ezika Steve Kompela zibonakalise umdlalo osezingeni eliphezulu njengoba zikwazile ukuvalela enethini amagoli amahlanu bathola nama clean sheets

amabili emidlalweni emibili kulo mncintiswane. I Arrows iqale umdlalo ngegiya eliphezulu njengoba beyiwuphethe lo mdlalo. Bebengena kakhulu ngezinhlangothi besebenzisa abadlali basemuva. URomario Dlamini udedele inkunzimalanga ye cross ngemizuzu emihlanu yokuqala kodwa uRichard Matloga wehlulekile ukuyingqofela phakathi ngekhanda lafika lingasenabungozi kunozinti we Real Kings uMalcolm Jacobs. Ngemuva kwemizuzu engemingaki, uNduduzo sibiya ubuye ngesankahlu, kodwa umzamo wakhe wanqandwa engakawenzi umonakalo kwi Real Kings. Ubethi uvalela phakathi ibhola elithunyelwe uZolani Nkombelo odlala kwesobunxele.

I Real Kings igobe uphondo kowamanqamu we Premier’s Cup e King Zwelithini Stadium eMlazi.

Ngomzuzu ka 15 kwehle iziqhomo za Bafana Bes’thende ngesikhathi uSibiya ethumela imbumbulu yebhola evalelwe uDlamini enethini kwatholakala ukuthi kade ese offside. Kulo mdlalo i Real Kings beyihlezi emuva ingadlile ngokuhlasela ngenhloso yokuthena amandla we Arrows ngama counter-attacks. USiphiwe Mbatha uthole ingqayizivele yethuba ngomzuzu ka 28, esikhundleni sokubhakuzisa inethi wadlala i square ball. Kuhambe isikhathi i Kings yabuelwa ukuzethemba yakhanda amathuba okuvalela amagoli kodwa yehluleka ukusebenzisa kahle amathuba. I Arrows iqhubekile nokufakela i Kings inselelo, kodwa uJacobs ubevimba ngisho impukane emapalini. Uvimbe kukubi ibhola elithunyelwe uSibiya kwi acute angle. Ngomzuzu ka 54 uDlamini uphinde washweba elinye igoli ebekumele alingqofele phakathi ngekhanda livela ku Siphamandla Sabelo. Ngemuva kwemizuzu emithathu, uDlamini uhlahle indlela ye Arrows ngesikhathi evalela enethini ibhola ebeliqhamuka ngasesandleni sokudla. Bekulokhu kuyi Arrows ebeyingapheli mandla, ekugcineni ize yawuthola umvuzo ngokuphokophela kwayo. UMicheal Gumede wenze isiqiniseko sokuthi i Arrows iyawunqoba lo mdlalo ngesikhathi evalela igoli lesibili ngomzuza ka 67. Ibhola liqhamuke no Sibiya walinika uSabelo obedlala ohlangothini lwesesinxele, yena walinika uGumede ongabange esathandabuza ukulivalela enethini i Arrows yanqoba lo mdlalo ngo 2-0.

Liyakhula isasasa lwe-Mayoral cup yase-Mthonjaneni

THABANI MAPHUMULO IMEYA yomasipala uMthonjaneni enyakatho nesifundazwe iKwaZulu Natal ukhansela Sibonginkosi Biyela uthi libonakala likhula kakhulu isasasa lemidlalo yeMayoral Cup ehlanganisa imidlalo enhlobonhlobo. Lo masipala.nakulonyaka ubusingethe lemidlalo okuhlanganisa ibhola likanobhutshuzwayo, isibhakela, volleyball, netball, ibhola lezinyawo lamantombazane lanye neChess. “ Le.midlalo ibonakala ikhula unyaka nonyaka lokho kuyasijabulisa ngoba intsha evelela lapha izibeka emathubeni okuqokwa amaqembu amakhulu igcine ifinyelele kwelinye izinga,” kusho Biyela. Kulonyaka iqembu iBlue Stars elidle umhlanganiso kuMthonjaneni Local Football Association lidlale brqembu loSuthu elincane elidlala kuMultiChoice laguqa ngamagoli amahlanu eqandeni. “ Sikholwa ukuthi ukufika kwabantu bezohlonza ikhono kuyasiza kakhulu intsha, ngoba izokwazi ukuziphilisa ngezemidlalo uma isikwelinye izinga. Siwumkhandlu omncanyana siyakujabulela ukuthi umphakathi uyayithakasela le midlalo njengoba uphuma ngobuningi.” kuphetha Biyela. Abahlonza ikhono entsheni abebeyinxenye yalemidlalo kuhlanganisa aboSuthu, Durban University of Technology kanye nabanye banxuse intsha ukuba amathuba afana nalemidlalo iqhubeke iwasebenzise ukuzibonakalisa futhi isebenze ngokuzikhandla ukuze iphumelele. UBiyel uhalalisele bonke abanqobile njengoba bephinde bahlomula ngemiklomelo yabo yezindondo kanye nezindebe emikhakheni eyahlukene.

031 828 0433 / 082 597 6669

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.