Sivubela Intuthuko Newspaper

Page 1

SIVUBELA Intuthuko

ADVERTISING: 067 920 8446 MASHI 2021

UNgqongqoshe omusha nezinhlelo ezethembisayo

iKhasi 2

FACEBOOK: SIVUBELA INTUTHUKO

SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

UMkhandlu nokulekelela abafundi emanyuvesi

iKhasi 4

Kushikisha ufudu kudansa unwabu emacikweni aseMgungundlovu

iKhasi 7

LIMAHHALA USHICILELO 59

Kulokoza inhlansi yethemba kuMongameli woSuthu

iKhasi 8

udaba ekhasini 3.

Inconyiwe iMbube ngosiko lomhlanga Esithombeni: ISilo samaBandla Inkosi Goodwill Zwelithini kaBhekuzulu osekhotheme


IKHASI 2

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

MASHI 2021

UNgqongqoshe omusha nezinhlelo ezethembisayo

UMPHATHISWA wezokuHlaliswa KwaBantu, KwaZulu Natal nuMnuz Jomo Sibiya ngesikhathi enikezela ngosizo lwendlu kumhlali waseMandeni, uNkk Thandiwe Shwabede. MAGAYE CELE SITAKULWE nguNgqongqoshe omusha wezokuHlaliswa kwaBantu, KwaZulu Natal, isaguga esihlomule ngendlu entsha ceke. Kubukeka sengathi akazile ukuzodlala kodwa uzosebenza uMphathiswa omusha, uMnuz Jomo Sibiya. Lokhu kuza ngemuva kokuba zithe zisuka nje entanjeni wanikezela ngosizo lwendlu kuNkk Thandiwe Shwabede (60) ongomunye wabahlali abadala baseMandeni, oGwini olusenyakatho yesiFundazwe, iKwaZulu Natal. Bekukhona noMeya waseMandeni, uKhansela Thabani Mdlalose, iSekela

lakhe, uKhansela Sishi noMkhulemeli woMkhandlu uMnuz Magwaza. UJomo uzwakalise ukuthakasa kwakhe okukhulu ngokubona ugogo Shwabade ethola usizo lwendlu. Uhlelo lokunikezelwa ngezindlu luqhutshwa ngaphansi kohlelo olubizwa ngokuthiyiRural Housing Projects. Ngokusho kwakhe uJomo kuyinto emqoka kakhulu ukuba intuthuko abantu baKwaZulu Natal bayibone ngamehlo bangagcini nje ngokuyizwa ngendaba ikhulunyelwa kude nabo. Ukuchaze njengento emqoka kakhulu ukunikezela ngosizo ikakhulukazi kubantu abadala. Ugcizelele kakhulu ukubaluleka

uNgqongqoshe uhlomulise abafundi ngezitifiketi zamakhono okwakha kokubuyiswa kwesithunzi sabantu abaMnyama ikhulukazi labo abanganalo uphahla. “Kumqoka ukuba silwe sibuyise isithunzi sabantu abakithi abafana nogogo Shwabade. Abantu abafana naye kumqoka ukuba senze konke okusemandleni ethu njengohulumeni wesiFundazwe ngenhloso yokubalekelela,” echaza. Ngalo lolu suku uMphathiswa uJomo wethule uhlelo olumqoka kakhulu lokuqeqeshwa kwantu abasha kwezokwakha. Lolu hlelo uluchaze njengolumqoka kakhulu. Uchaze abantu abasha njengomgogodla wezwe. Uthe intsha yendawo kumqoka ukuba kuqinisekiswe ukuthi iyawathola

amathuba omsebenzi ukuze izokwazi ukuthi iziphilise.“Sifuna ukuthi umuntu ozongena kulolu hlelo kuqinisekiswe ukuthi uyawathola amakhono afanele. Laba bafundi uma bethanda bangaqhubeka nalezi zifundo thina esesibasizile ukuthi baqale bazenze,” usho kanje. Okunye akhulume ngakho ukuthuthukiswa kwawo amakhono abantu abasha. Uthe abantu abasha baseNingizimu Afrika banamakhono amaniningi kakhulu. Uchaze uMnyango awuholayo njengozibophezele kakhulu ekutheni wenze konke okusemandleni ngenhloso yokuguqula izimpilo zabantu abasha baKwaZulu Natal.

Uhlelo lokufukula osomabhizinisi abafufusayo MAGAYE CELE UMASIPALA, weTheku usezinhlelweni zokuqinisekisa ukwesekwa kwamabhizinisi amancane. Kuzokhumbuleka ukuthi iMeya yeTheku uKhansela Mxolisi Kaunda ngaphambilini wakuchaza njengento emqoka kakhulu ukubaluleka kokuba kwesekwe amabhizinisi amancane asafufusa. Amabhzinisi amancane wawachaza njengamqoka ekufukulweni komnotho weDolobha. Yingakho ke uPhiko lokweSeka amabhizinisi lisezinhlelweni zokufukula amabhizinisi amancane aseThekwini namaphethelo. Inhloso enkulu yalolu Phiko ukuqinisekisa ukuthi aba sesimweni esihle nesamukelekile amabhizinisi amancane aseThekwini. Kuzokuba khona ukubambisana phakathi kwalolu Phiko kanye nezinhlangano ezahlukene zasemphakathini ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi luyaphumelela uhlelo lokwesekwa kwamabhizinisi amancane. Lolu hlelo luzobandakanya i-EThekwini Business Unit, uMnyango wezokuThuthukiswa kwezamaBhizinisi amancane, yiJobs Fund of South Africa, yi-Informal Economy Support Programme (IESP) kanye neProjects Preparation Trust. Zonke lezi zinhlaka zisebenza ngokukhulu ukuzikhandla nangokubambisana ngenhloso yokufukula amabhizinisi amancane akwiDolobha,

iTheku. Loyo oyisikhulu esiphezulu sakwa-Informal Economy and Retail Markets, uNomonde Mlolongo uveze ukuthi bamatasa benza konke okusemandleni abo ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi asebenza kangcono amabhizinisi amancane aseThekwini. Uthe inhloso enkulu ukuthuthukisa amabhizinisi amancane kanye nokuqinisekisa ukuthi ahlinzekwa ngezidingo okanye izinsiza eziwumgogogodla wokusebenza kwawo. Ukhulume nangohlelo i-IESP, wathi liyiqhingasu elijulile elihlelwe kahle lokufukula amabhizinisi amancane ngenhloso yokufukula umnotho weDolobha. Echaza uthe: “Kuningi kakhulu esesikubonile esekwenziwe yi-IESP. Phakathi kwakho kubalwa ukwakhiwa kwendathane yamathuba omsebenzi amasha abalelwa ku-316. Kuphinde kwaqeqeshwa nosomabhizinisi abancane abangu-110. Kwasekwa namabhizisi amancane angu92. Lokhu sikubona kuyinto emqoka kakhulu.” Ubalule nokuthi kunemali eyisigidi samarandi ewuxhaso esatshalaliswe kumabhizinisi ehlukene amancane aseThekwini. Phakathi kwezinye zezinsiza amabhizinsi amancane asesekwe ngazo ubale izinsiza zokuzikhangisa kalula kanye nokucijwa kwamakhono osomabhizinisi abancane. Konke lokhu uthe kuyimizamo emqoka yokuqinisekisa ukwesekwa ngokugcwele kwamabhizinisi amancane aseThekwini.

“Kuningi kakhulu esesikubonile esekwenziwe yi-IESP. Phakathi kwakho kubalwa ukwakhiwa kwendathane yamathuba omsebenzi amasha abalelwa ku-316.”

UMEYA woMkhandlu weTheku, uKhansela Mxolisi Kaunda.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


MASHI 2021

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 3

Inconyiwe iMbube ngosiko lomhlanga “Phela uNgangezwe Lakhe ngokugqugquzela kakhulu usiko lokuhlolwa kwezintombi ubehlose ukuqinisekisa ukuthi amantombazane amancane akhuliswa kahle ngendlela efanele neyamukelekile emphakathini.” MAGAYE CELE

Esithombeni: ISilo samaBandla Inkosi Goodwill Zwelithini kaBhekuzulu osekhotheme

KUNCONYWA amagalelo eSilo Samabandla, uNgangezwe Lakhe osekhotheme ngemizamo yokuqinisekisa impilo engcono kuZulu. Selokhu sikhotheme iSilo sikhulu kakhulu isililo eNgingizimu Afrika yonkana kanjalo nangaphandle kwezwe. Okunye uNgangazwe Lakhe anconywa ngakho ukugqugquzela usiko lomkhosi womhlanga. Isazi samasiko uMnuz Thandanani Gumede uthe iMbube yiyona ebidala ukuthi libe likhulu isasasa ezintombini zomhlanga uma ziya esigodlweni enyokeni. Uthe ufisa sengathi lo mkhosi isasasa lawo lingefadabale njengoba iNkosi yamaZulu seyikhotheme nje. Uchaze ukukhothama kweMbube njengenhlekelele enkulu esizweni samZulu. Echaza uthe: “Phela uNgangezwe Lakhe ngokugqugquzela kakhulu usiko lokuhlolwa kwezintombi ubehlose ukuqinisekisa ukuthi amantombazane amancane akhuliswa kahle ngendlela efanele neyamukelekile emphakathini. Ukuhlolwa kwezintombi uNgangezwe Lakhe ubekubona kuyithulusi elibukhali elingasetshenziselwa ukubumba isizwe samaZulu esingcono kakhulu.”

Esephetha uMnuz Mnguni uthe nosiko lokusokwa kwamadoda lwachuma kakhulu ngemuva kokuba esememezile uNgangezwe Lakhe. Uthi ucwaningo luveza ukuthi baningi kakhulu abesilisa ikakhulukazi baKwaZulu Natal abasabela kuleli khwelo elalihlatshwa yiMbube ngesikhathi isadla anhlamvana. Loyo onguNgqongqoshe weZempilo kuzwelonke, uDkt Zweli Mkhize uncome iSilo ngeqhaza elaba nalo ekulweni nengculaza. Uthe iSilo senza konke okusemandleni aso ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi abantu bayaphepha kulesi sifo esasibonakala sidla fumuka sidla silaza. Uncome uNgangezwe Lakhe ngokuzimisela kwakhe ekwenzeni ngcono impilo yabantu abangamaZulu. USolwazi waseNyuvesi yaKwaZulu Natal, uSolwazi Sihawu Ngubani uncome kakhulu iSilo ngokuba ngumgqugquzeli wamasiko esizweni sonke sabantu abansundu. Uthe iSilo besingakhathali ukugqugquzela abantu baso ngokubaluleka kokuzigqaja ngabayikho. Lokhu uthi yikhona kanye obekwenza iSilo sithandwe kakhulu ngabantu ngoba besikwazisa kakhulu ukubaluleka kokuba nguMzulu.

UMasipala uqoke ithimba elizobhekana nezinkinga MAGAYE CELE UMASIPALA weTheku sewusungule isigungu esizobhekelela ukuhanjiswa kwezidingo kubantu. Lesi sigungu esibizwa ngokuthi yi-Operation Good Hope kuthiwa sinikezwe lo msebenzi ngenhloso yokuqinisekisaa ukuthi kuyaphela ukubonakala kwezinkinga ezivimba ukuhanjiswa kwezidingo ezimqoka kubantu. Loyo onguMphathi oMkhulu wezokuseBenza kulo Mkhandlu, uMnuz Musa Mbhele ukushayele elikhulu ihlombe ukujutshwa kwaleli thimba wakuchaza njengento emqoka kakhulu. Uthe inhloso enkulu yalesi sigungu ukuqinisekisa ukuthi azibi khona zinkinga ezibikwayo ezimayelana nokuhanjiswa kwezidingo kubantu. UMbhele uthe phakathi kokunye okuzobe kwenziwa yileli thimba yilokhu okulandelayo. Ukuqwashisa umphakathi ngokufundisa kodwa libe lisebenzisana nalabo ababambe iqhaza kulo msebenzi wokuqinisekisa kokulethwa kwezidingo kubantu. Uthe kulokoza inhlansi yethemba ngokuphumelela kwaleli thimba alichaze njengelizokwenza umsebenzi omuhle noncomekayo kakhulu. Echaza uthe: “Sikushayela elikhulu ihlombe uku-

jutshwa kwaleli thimba. Kunikeza ithemba elikhulu ukuthi kuzophela manje nya ukubikwa kwezinkinga eziningi ezivimba ukufinyelela kwezidingo ezimqoka kumalunga omphakathi.” Okunye uMnuz Mbhele uthe leli thimba lizophinda liqinisekise ukuthi yonke imithetho iyalandelwa ikakhulukazi ekuhlanzweni kukadoti ezindaweni ezingaphansi koMkhandlu weTheku. UMnuz Mbhele ukhuluma kanjena nje kuzokhumbuleka ukuthi sekukaningi kubuye kube nenkinga kadoti ezindaweni ezingaphansi kwalo Mkhandlu. Leli thimba uthe kuzophinde kube yilona futhi eliqinisekisa ukunakekelwa kwengqalasizinda yoMkhandlu ukuze ingeke icekelwe phansi. Izingqinamba zomphakathi ezibangelwa wukungabi bikho kwezindawo zokuhlala nakho lokhu uthembise ukuthi leli thimba lizokwazi ukuthi likubheke ngeso elijulile. “Sihlose ukuthi sakhe isiko lokunakekela imvelo kanye nokuvikela ingqalasizinda yoMkhandlu weTheku. Udoti ongacoshwa ungagcina udala umonakalo ngakho leli thimba lizoqinisekisa ukuthi konke lokhu kuyaphela nje nya,” usho kaanje.

UMNUZ Musa Mbhele oyiChief Operations Officer kuMasipala weTheku okuncomayo kakhulu ukujutshwa kwethimba i-Oparations Good Hope.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


IKHASI 4

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

MASHI 2021

UMkhandlu nokulekelela abafundi emanyuvesi MAGAYE CELE

UMEYA waKwaDukuza,uKhansela Dolly Govender uMkhandlu awuholayo onikezela ngosizo lwemifundaze kubantu abasha bakule ndawo.

UMKHANDLU waKwaDukuza oholwa nguKhansela Dolly Govender sewusungule uhlelo lokunikezela ngosizo lwemifundaze kubafundi bakule ndawo ebebekade benza umatric ngonyaka owedlule. Nangonyaka owedlule lo Mkhandlu ubukade unalo uhlelo olufuze lolu. Ekhasini likafacebook elinanyekwe yilo Mkhandlu lichaza kabanzi ngokubaluleka kokunikezelwa kwemifundaze kubantu abasha abangaphansi kobuholi bukaMasipala waKwaDukuza, oGwini olusenyakatho yesiFundazwe, iKwaZulu Natal. Lolu hlelo lunemibandela yakhona kulabo abanentshisekelo enkulu yokufaka izicelo zokulekelelwa ngalo. Eminye yale mibandela emqoka kakhulu yile elandelayo. Ofaka isicelo kumele kube ngumuntu

uHulumeni nohlelo lokushitsha kwezindlu

Esithombeni uNdunankulu uSihle Zikalala ekhuluma ngohlelo lokulungiswa kabusha kwezindlu e ezakhiwa ngo-1994. MAGAYE CELE SELUQALILE uhlelo lokulethwa kwentuthuko kubantu olumayelana nokwakhiwa kabusha kwezindlu ezazikhiwe uHulumeni ngo-1994. Kuhlalukile ukuthi unyaka nonyaka uHulumeni waKwaZulu Natal uzobeka ecaleni imali eshisiwe efinyelela ku-R230 million ngenhloso yokuqhuba lolu hlelo kuzona zonke izindawo zaKwaZulu Natal. Lolu hlelo oluzosabalala kusona sonke isiFundazwe, iKwaZulu Natal luqhutshwa uMnyango wezokuHlaliswa kwabantu esiFundazweni. Lugunyazwe uHulumeni wesiFundazwe iKwaZulu Natal. Ukuphasiswa kwalolu hlelo kwenzeke maphakathi ngonyaka owedlule. Kulo nyaka lo Mnyango uthembisa ukuluqala lolu helo oluchaza njengolubalulekile kakhulu. Lo Mnyango udalule ukuthi wenze ucwaningo olunzulu wathola ukuthi izindlu eziningi owawukade uzakhele abantu ngo-1994 kazisekho esimeni esigculisayo. Ezinye zazo lo Mnyango uveze ukuthi zazivele zingekho eqophelweni eliphezulu kwezokwakhiwa. Ngenxa yaleso sizathu lo Mnyango uthi uzokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi zakhiwa kabusha

zonke lezo zakhiwo. Lolu hlelo luyingxenye yokuqinisekisa ukuthi zenziwa ngcono izimpilo zabantu baLwaZulu Natal. Kuhlalukile ukuthi kusukela ngo-2009 seziziningi kakhulu izindlu uhulumeni wesiFundazwe osuzihlonze njengezizodilizwa maqede zakhiwe kabusha futhi zakhiwe nangendlela esemgangathweni nengalethi ungabazane. Lokhu kusho ukuthi ngemuva kweminyaka embalwa uMnyango wezokuHlaliswa kwabantu uzobe sewusebenzise imali ecela kwibillion wenza lo msebenzi. Lo Mnyango uvese usukuvezile ukuthi eminyakeni emihlanu ezayo lolu hlelo lokwakhiwa kabusha kwezindlu luzogcina ludle imali engu-R5 billion. Lo Mnyango uthi uzibophezele ekutheni kungabi bikho abasala ngaphandle kulolu hlelo lokwakhiwa kwezindlu ezinesithunzi.Lolu hlelo seluqalile vele ukubonakala kwezinye zezindawo ezikhona esiFundazweni. EGamalakhe, Port Shepstone, oGwini oluseningizimu yesiFundazwe, iKwaZulu Natal sekwakhiwe imizi engu-187 yaphothulwa. Eminye engu-237 kuyona le ndawo seyiqaliwe iyakhiwa. Kanjalo naseShall Cross zikhona izindlu eseziqaliwe ukwakhiwa.

omusha waKwaDukuza futhi kungabi ngumuntu osedlulile eminyakeni engu-24. Kumele kube ngumfundi owuphumelelile umatric futhi kumele atshengise ubufakazi balokho. Uhlelo lolu lubizwa ngokuthi yiKwaDukuza External Basaries 2021. Kulabo abafuna ukusizwa okunye okumele baqikekele ukuthi bayakwenza ukubhala incwadi yokuzichaza (motivational Letter), kudingeka nesitatimende sikamatric, ikhophi yomazisi yaloyo mfundi ofisa ukuthola uxhaso, incwadi yasesikhungweni esiphakeme efakazela ukuthi loyo mfundi ocela uxhaso usemukeliwe eNyuvesi ethile. Kumele kuvele nokuthi loyo mfundi uzobe enza izifundo ezingakhi kuleso sikhungo esimamukelayo, ubufakazi bokuthi abazali bakhe kungena malini kubona nyanga zonke.

Abafisa ukuthola amafomu okugcwalisa bangawathola KwaDukuza Youth Centre 41-42 Hullets Street. Amanye amafomu ayatholakala kwimitapo yolwazi yakhona KwaDukuza. Lo Mkhandlu ukubeke kwacaca ukuthi inhloso enkulu yalolu hlelo ukuqinisekisa ukuthi bathola usizo abantu abasha abafisa ukuqhuba izifundo zabo kodwa ababhekene nengwadla yokushoda ngemali. Lolu hlelo lo Mkhandlu uthi uhlose ukulibhekisa kakhulu kulabo bafundi abavela emindenini ehlwempu.Lolu hlelo luyingxenye yomkhankaso kaKhansela Govender yokuqinisekisa ukuthi lo Mkhandlu wenza okuthile ngenhloso yokulekelela abanntu abasha baKwaDukuza ikakhulukazi labo abanentshisekelo enkulu yokuqhuba izifundo zabo ezikhungweni zemfundo ephakeme.

UMnyango ulwa nokuxosha indlala emakhaya

“VUMELANI abantwana beze kimi” sengathi usho njalo lapha uNkk Nonhlanhla Khoza ezinganeni zaseMsinga TSEPO MOTLOKOA UNGQONGQOSHE woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal uNkk Nonhlanhla Khoza uthi kasoze abukela abantu bebhuqwa yindlala esifundzweni ngoba lokho kwehlisa isithunzi sikahulumeni ngokungakhathaleli impilo yabantu. UNkk Khoza uhambele kuMasipala waseMsinga eyonikela ngama-voucher emndenini engu-155 ngaphansi kohlelo lwe-Social Relief of Distress adle uR209 250. Lapha kubuye kwabhekwa nomsebenzi osuwenziwe ngosonhlalakahle ukulekelela abantu ukuthi kabasali ngaphandle ezinhlelweni zentuthuko yomphakathi. UNkk Khoza ubephelezelwa ngubuholi bukaMasipala waseMsinga obebuholwa yimeya yakhona uNkk Buyiswa Ngcobo, uNks Lusiwe Ngubane oyilunu lekomidi lomnyango awubhekile noNks Fikile Khumalo yena oyilungu leSishayamthetho saKwaZulu-Natal. Lama-voucher bekungawokuhlinzeka umphakathi ukuthi uye ezitolo uyokhithiza ngokuthola ukuya phansi kwempumulo ukuvimba iphango nomndeni. UNkk Khoza uthe lokhu abakwenzayo bengumnyango bananela ikhwelo lohlelo lukahulumeni lokuxosha indlala emakha-

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

ya. “Sikushayela ihlombe esikubona ebuholini bukaMasipala waseMsinga ngokusebenzisana kahle nezisebenzi zomnyango wethu ikakhulukazi osonhlakahle ekuxosheni indlala emakhaya. Sizogcwalisa umbono kumbe okushiwo nguhulumeni kokuthi kakukho muntu ovunyelwe ukulala nesisu esikhala amanzi ngenxa yendlala. Umengameli weze lethu laseNingizimu Afrika uMnu Cyril Ramaphosa noNdunankulu wesifundazwe sethu saKwaZulu-Natal uMnu Sihle Zikalala bangaphatheka kabuhlungu uma bethola ukuthi sihlulekile ukunakekela abantu emisebenzini abasiqokela wona ukuwenza emphakathini,” kusho uNkk Khoza ethembisa ukuthi usazohambela sonke isifundazwe eqhuba wona umsebenzi we-Social Relief of Distress ukulekelela umphakathi waKwaZulu-Natal. UNkk Ngcobo iMeya yaseMsinga ibonge uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal ngokuhlale ukulwela ekuletheni ithemba ezimpilweni zabantu baKwaZulu-Natal. Uthe umphakathi abawuholayo uthembele ekulimeni bese udayisa lokho okuncane okutholile. Ukhale nge-COVID-19 ethi ibakhahlamezile abantu abazizamelayo ukuthola ubuchabalala ukuxosha ikati eziko emakhaya abo.


MASHI 2021

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 5

BNY G 2 O 0 3- 02 E0T 3H 0 E K WI ITN H I W F ROI CBA E ’S M A R I NN GG A A BML EB IC ILT IY E IKL LU B EL IA Y L OI SNT GC U QNAD LPI VHE A

UMasipala ukhuculule imfucuza Uhlelo lwe-Academy of Learning EThekwini Municipal lunika ulwazi namathuba amaningi Academy

mayo, futhi indawo ehlanzekile ibaluleke kakhulu ekuqinisekiseni ukuthi sinemiphakathi enempilo,” kusho uMnuz Mayisela. Uthe emizameni yabo yokugcina idolobha lihlanzekile futhi lisimeme, banxusa IZINHLELO: izakhamizi ukuthi ziqhubeke nokubika ukulahlUBAFUNDI abanikwa imifundaze, A. COOPERATIVE wa ngokungemthetho kwemfucuza kulenombolo noma abangena EDUCATIONzibhekane yocingo-031 311 8804 futhi izakhamuzi ohlelweni lokufunPROGRAMMES: nokuqinisekisa ukuthi indawo ezihlala kuyo igcinwa dela imisebenzi, Lolu hlelo ludidiyela ulwazi lokhu kufana nokubamba ihlanzekile ngokunakekela imvelo hhayi lwasesikoleni udoti.“Siphinlwemfundo ijekphothi. de sinxuse bonke abahlali ukuthi babe ngompetha nalolo lwasemsebenziUkuqeda le nkoleloze ni uqobo.kanye Uhlelonokulahla lusiza bezinguquko futhi bayeke ukungcola ethi iziqu ezingenasipiliabasanda kuqeda iziqu yoni zifana nephepha nje udoti ngokungemthetho. Lapho kuthintwa ukulahlwa zabo nalabo asebezoqeelingasho lutho, kungesinye kodoti ngokungemthetho, uma lomnyango daithimba izifundo zabo ukuba sezizathu ezinkulu ezadala bathole isipiliyoni somsewakwa-DSW sewazisiwe, bavakashela indawo okulahlukuthi idolobha lisungule benzini. wa kuyo udoti bahlole isimo. Abasebenzi bese behlani-EThekwini Municipal Academy (EMA). I-EMA gana nabahlali kanye / noma nebhizinisi elizungeze B. LEARNERSHIPS: ithathwa njenge ‘big brother’ leyo ndawo futhi babeluleke ngezindlela ezifanele Lolu hlelo lufaka izifundo kubafundi ngokubanika zolwazi kanjalo nesipiliyzokuphathwa kwemfucuza bese bebacela ukuthi bathaamakhono afanele anomoni sokwenza umsebenzi thelela omkhulu, imifundathe ubunikazi bomphakathi. Baphinde bakhuculule uqobo wohlobo oluthile, inze, ukufunda umsebenzi, dawo lapho okulahlwa khona udoti ngokungemthetho isikhathi esithile oluzosiza noqeqesho lwasemsebenKukhucululwe izindawo ezingekho emthethweni zokulahla imfucuza eBlackburn Village ukuba umfudi athole iziqu uma isabelozimali sivuma, futhi kuvela isidingo, zini oludingekayo ukuze ezisemthethweni ezibhalAbabambiqhaza Isithombe: bangaphambilini bohlelo Municipality lokuqeqeshela amakhono ezokucisha umlilio, iFirefighters ngaseCornubia eThekwini umfundi aqedele izifundo bangamisa ibhodi lezimpawu iswe elithikwi-South ‘AkukhoAfrican Ukulahla Skills Training Programme, ehlinzekwa wuhlaka lwezemfundo i-eThekwini Municipal Academy. zakhe – lokhu nje okumbalNgokungekho Emthethweni’,” Qualification kusho uMnuz Mayisela. Authority wa emathubeni ahlinzekwa NOKULUNGA MAJOLA wa nasemijondolo. Indaba yokulahlwa kwemfucuza Omunye wabahlali kulendawo(SAQA). uMnuz Lamile Moyikwe yi-EMA. ngokungemthetho kule ndawo ibilokhu iqhubeka I-EThekwini Municipal uthe bayasithokozela isenzo sikamasipala C. SKILLS kanti bayafisa Ukuhlala endaweni ephephile nehlanzekile kungngenxa yokunyuka kwesibalo sabantu abahlala emijonAcademy (EMA) igxile ukuthi ukuhlanzwa kwalendawo kube into eyenziwa PROGRAMMES: ekufundeni nasekuthuthukeenye yamalungelo abantu baseNingizimu Africa dolo. Sizama konke okusemandleni ethu ukuqinisekisa Lezi izinhlelo ezihambisana njalo ngenyanga. “Lendawo iyangcola kakhulu kanti ningokomthethosisekelo njengoba izama ukuba wezwe. Ngeledlule, izisebenzi ukuthi yonke imfucuza iyaqoqwa, kanti futhi neznomsebenzi othile futhi abantu bavele balahle udoti noma ikanjani ikakhulukazi isikhungo sokufunda esiuma seziqediwe, zizokzomkhandlu eku ngaphansi komnyango iDurindawo ziyahlanzwa,” kusho uMnuz Mayisela. Uthe hamba phambiliweTh komasipala uma bengakwazanga ukuwukhipha ulandwakhangesikhathi izifundo ezibhaliswe bonke base Afrika, ban Solid Waste sokwenza Unit zihlanze izindawo zokulanhla umasipala unemithetho nezinhlelo zenhlawulo kubantu kwi-National Qualification wa. Sekukaningi umphakathi ukhuzwa ngalesenzo kokahle, udotisokuqamba ezingekhookusha, emthethweni emijondolo yase Blackababanjwe oqotsheni belahla udoti ngokungemthetho, Framework (NQF). dwa abantu abezwa, siyacela kuMasipala wethuNgapheukuthi sokufunda nokuthuthuka. Siphesihle Myeza owathola Abongile Luthuli, Siyanda Cebekhulu, Thobile Cele, zu kwalokho, ukwakheka burn Village ngase Cornobia. Ngokusho kokhulumela kodwa emijondolo isimo sezenhlalo nesomnotho Umnyango wakwa-EMA unuqhubeke nokusinakekela ukuthikufaka sihlala umfundazwe wobunjiniyela osohlelweni lokubeka istini osohlelweni kwe-Graduate osohlelweni lukagesi nokuqinisekisa nokwenziwa kwazo idolobhayezinhlelo iTheku uMnuz sithanda ukuba nzima, futhi abenziWork bobubi bavame enqwaba ezifaka Msawakhe Mayisela uthe Experience ukubambisana phakathi endaweni ehlanzekile nephephile, “ kusho uMnuz Moukufundisa intsha nabadala kubathathe amahora amathathu ukuphetha lomsebenzi. ukulahla ebusuku lapho kumnyama futhi kungabonkwabaqashi nabahlinzeki Isibonelo esihle semiOmunye onamaphUThobile Cele, wathola yikwe. Ikhansela lendawo uNksz Nicole Bollman naye ngamakhono olimi nezibabemisebenzi. wedolobha ukuhlinzeka ngezinsiza akali “Sikwazile imfucuza engamathani phumela yemisebenzi uphokahle. amakhulu afisa ukuqoqa ngamathubaihlombe akwa-EMA USiyanda Cebekhulu lo,“Kungumsebenzi ukukhuthaza ukufunda uwushayele uMasipala weTheku ngalesenzo yakwa-EMA umfundaze ukuwabona ephumelengokufunda EzaseGagasiusohlelweni lakwa-EMA zokuthuthwa kukadoti kuzo zonke izindawo, kubalayi-1040. Sikholelwa ekubeni nemiphakathi echungomsebenzi, amabhizD. APPRENTICESHIPS: wathi ukuhlanza lendawo kusazoqhubeka . owanikwa uSiphesihle la, u-Abongile Luthuli ni Metro, okuyiphephandlwabafundi abasanda inisi amancane, izinhlelo

K

Myeza (22) njengamanje zokuqeqesha eziphakanyosebenzela uMasipala iswe ngabasebenzi, amaNkwaRoads and Stormwater GO kanye nomphakathi. Maintenance Office (WestUkulungisa nokukhuphula ern Region). “Amagama izinga lokufinyelela ezinhlelangeke aveza ngokwanele weni eziqondene nemiseukuthi ngibonga kanbenzi nakho kungumsebenzi wakwa-EMA. NOKULUNGA MAJOLA gakanani kuMasipala ngokunginika umfunINhloko yakwa-EMA: Dkt dazwe. Unginike ithuba Mpilo Ngubane uchaze Ukuhambisa izidingo kubantulokufingqa kuhambaimikhono phambili wathi: “Ukungaqashwa yami, ngithole kwentsha, ikakhulukazi kuMasipala weTheku nasezinhlelweni zaku isipiliyoni wadi 107. somsebenzi nokwasiza abafundi abaqede iziqu zabo, Njengamanje uMasipala uqhuba uhlelo lokushintshkakhulu eziqwini zami kuyaqhubeka nokuba inselekwepayipi elihambisa amanzi uma kunezimvula ze-BSc Civil Engineering lowa kuMasipala waseThekwini. Uma kuqashwa,pipe) izinkampani (stormwater esigcemeniDegree sakwa (University H kublokhiof KwaZulu-Natal). Ngapheeziningi zidinga abafakizice2 eNtuzuma noseluthole okukhulu ukuthakaselzu kwalokho, umfundaze lo abanesipiliyoni ngakho wa umphakathikwamakowakhele lendawo. Ngokusho ususe omkhulu umthwalo ukuthuthukiswa wezezimali kimi, kufanele kwamalunga omphakathi iminyaka ebalelhono kudlala indima enkulu sekuphele ngabe ngicwile ezikweukubhekana namazinga wa kweyishumi benenkinga yokugcwala kwamanzi letini, kepha ngenxa yalo aphezulu okungaqashwa ngokweqile emgwaqweni nosekwenze kube mfundaze,ukuthi ngiyakwazi kwentsha kanye/noma ukunakekela umndeni nezindlukuthola ezilimalayo. lomphakathi abuye abasanda iziqu Oyilunga wami,” kusho yena. zabo.” abe usihlalo wekomiti lendawo uMnuz Njabulo Njengomntwana, uMyeza Ngokuhambisana nokNtuli uthe loluhlelo luyabathokozisa kakhulu futhi wakhombisa uthando uphokophelwe ngu-EMA, olukhulu lokudweba, sebelindeuzimisele ukuthi luphele ukuze bezobona umehlu-inuMasipala gqalasizinda, ukuhlinzeka ngamasu kabi kakhulu ko. “Into ebisiphatha ilemiziukudizayna engezansi nokwakha – ngamathoyizi ahlukahlukene okuthuthukomgwaqo ebisiqhekeka eminye ize ifune ukuwa akhe! Uthe konke kwaqakisa abasebenzi nokuba la njalo lapho,uma kantilina ukuvula nganxa yamanzi angena khona izulu. nobambiswano nabanye inkampani yakhe enye abantu. Lokhu kumayelana Okubuhlungu kakhulu omunye umuzi awusahlali yezinhloso zakhe ezinkulu. nokwakha isiko lokuhlala muntu ngoba babalekiswa yiso lesimo kodwa manje kufundwa. Abakwa-EMA siyabonga ukuthi sesigcine ” kusho uMnuz Ekhuluma ngokuqala bayazama ukufukula izinku- silungiswa, kwesikhathi sokufunda lungwane zabahlali baseThe- ukuthi Ntuli. Uthe uyakujabulela uMasipala uyazizsika behlukumezeka 2021, uMeya uKaunda kwini kanye nabasebenzi wa izikhalazo zabantu njengoba ngokubahlinzeka ngezinhle- uthe: “Eminyakeni eyedlule, yalamanzi. UNkzs Nothile Khoza uthe yena uMasipala uqale izinhlelo longenxa zamakhono anomthelela ubephazamiseka empilweni yabo. njengomuntu ohlala eduze nala

obhalise ohlelweni kuqeda iziqu zabo iGlwakwa-EMA lokubeka raduate Work Experience istini (Bricklaying ApprenProgramme. Njengamanje tice Programme). Abakusebenza njenge-Project wa-EMA basiza lo mhlali Administrator (Graduate) oneminyaka engu-25 ngaphansi kwaka-EMA waseMlazi ukuba azakhele ohlelweni lwabo lweisisekelo esiqinile “Amanzi ngoku- abevele Outreach and Capacity kukhona lelipayipi. agcwale mamukela kulolu hlelo. Building Department. umgwaqo singakwazi nokuhamba asazi nomawenza izifunEmva kokuqeda izifundo UCebekhulu zeminyaka emibili ze-Civil do zeBachelor’s belivalekile lingasakwazi ukudlulisela amanzi Degree Engineering, ezazifaka in Correctional noma belivuza kodwa khona bekuba inkinga Studies nokubeka istini nokuplas(Justice System) kanye enkulu ngoba ngisho nezimoto bezingasahamtela, wangena kwa-EMA. ne-Postgraduate Diploma bi kulomgwaqo, ” kusho uNksz Khoza. Uthe DevelUqale uhlelo lwakhe in Community lokufunda lweminyaka Ongoye. Uthe uyakuthokozela ukuthi izikhalazoopment zabo zigcine emithathu ngo-October ukuba yingxenye yohlezizwakele. Ngokusho kwekhansela 2020. “Ithuba uMasipala lo lendawo lwe-Graduate Work uMnuz Thandanani Mabanga, leprojekthi izodla waseThekwini angiphe Experience kuyithuba lona, lingaphezu kwemaelihle lokuthola izinkulungwane ezingamakhulu amabili (R200 isipiliyli. Bengifuna ukuthola oni somsebenzi njengo000). Ngiyathemba ukuthi kuzoba nomkhulu uqeqesho oluyilonalona muntu omncane osanda umehluko ngifundemanje nakhonjengoba konke umphakathi kuqeda ubukhala izifundo zakhe. okuyisisekelo okuding“Emnyangweni ngokuthi nezimoto azisakwazi ukuhamba kahle wami, ekayo ngokwakha ngenza imisebenzi ethinta emgwaqweni ikakhulukazi uma izulu kade lina isakhiwo ngisisuse phansi. umphakathi. Ngisebenza ngenxa yalamanzi abevele agcwale emgwaqo,” asemiAbakwa-EMA banginike kumaphrojekthi ulwazi lokuthi lezi ezinye Uthephakathini, kusho uKhansela Mabanga. leprojekthiukufundisa izifundo zihambelana fu- izothatha ngezifundo ezingathathwa esithathe amasonto amabili isikhathi thi zisebenzisana kanjani abantwana, ukuthuthukiesingangenyanga iphothulwe kodwa uma nezami,” kushoukuthi uLuthuli. sa amakhono nokufundisa kukhona okunye okuqhamukayongenzinhlelo umsebenzi zokufunda ngomsebenzi, ukubala nje usaqhubeka siyokwengezwa isikhathi. UKhansela okumbalwa”.

aba loMkhandlu. UCele wafaka isicelo sokuba yingxenye yohlelo lwakwa - EMA lwe-Electrical Apprenticeship Programme. Waqala ukufunda ngomsebenzi wakhe ngo 2019 futhi uma konke kuhamba kahle, uzoqeda lolu hlelo ngo 2022. Abafundi be-Electrical Engineering bathe ithuba abalinikwa abakwa-EMA liyivela kancane. “Ngingumuntu ozibambelayo. Ngiyawujabulela umsebenzi owenziwa ngezandla, ukwenza into isebenze noma isebenze kangcono. Ngifuna ukuba ngumuntu osebenza ngogesi kanti amagama awanakuchaza ukuthi ngibonga kangakanani kwabakwa-EMA ngokubona leli thuba kimi. Umfundi we-Electrical Engineering uthe abakwa-EMA bavuthela inhlansi kuye yokuba enze kangcono ukuze enze umsebenzi oyiphupho lakhe.

Lezi yizinhlelo ezihambisana nomsebenzi othile uma seziqedile zakha izifundo ezibhaliswe kwi-National Qualification Framework (NQF).

Luphelile usizi kushintshwa ipayipi lamanzi E. SUPPORT BASED PROGRAMMES: Abakwa-EMA basebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi abahlali bayakwazi ukuthola ulwazi ngamathuba nezinhlelo zokufunda nokuqeqeshwa. Lokhu kuzosiza abahlali ukuba babambe iqhaza ekuthuthukisweni kwamathuba omnotho, kube kwakhiwa abasebenzi abanamakhono.

NGOLUNYE ULWAZI XHUMANA NABAKWAEMA: 221 Anton Lembede Street Shell House Mabanga uthe into emjabulisa kakhulu ukuthi (11th Floor) leprojekthi yenziwa ngenyanga yamalungelo eziningi eziyimpumelelo sewaziwa njengesikhungo Isithombe: sokufunda Iprojekthi nokuthuthukaeqhubekayo Tel: 031 311 3192 eMbitane ezisebenze njengethuluzi sokufundaweTh esihamba ezingeni lomhlaba,” kusho abantu nokuqinisekisa ukuthi uMasipala eku elikhulu lokukhulisa komasipala uMeya. lapho kushintshwa khona ipayipi uyawawukhathalela umphakathiphambili kanti futhi kuyilun-bonkeeNtuzuma nokuthuthukisa ezemfundo. base Afrika, sokwenza elikhulu lamanzi (stormwater pipe). gelo lanoma isiphi isakhamizi saseNingizimu Africa Umnyango wakwa-EMA kahle, sokuqamba okusha,

Isithombe sithunyelwe.

ukuthi amalungelo aso ahlonishwe futhi avikelwe.

ASILWE NOKUBHEBHETHEKA KWE COVID-19

1.5 metre

HLALA UPHEPHILE KWI C VID-19


IKHASI 6

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

MASHI 2021

Kutuswe iqhaza labafundi abadala basePhangindawo Primary

LABA ngabafundi basePhangindawo abebenikelelwa ngomfaniswano ngaboBumbano Lwethu. TSEPO MOTLOKOA BACHONYWE uphaphe legwalagwala abafundi abadala basePhangindawo Primary School eMkhambathini ngokubheka emuva bazobonelela ngemifaniswano abafundi abahlwempu ngaphansi kwenhlangano yabo abayisungulile ebizwa

ngoBumbano Lwethu. UBumbano Lwethu luhambele kulesi sikole luyonikela ngomfaniswano kubafundi abangu-15 abahlonzwe njengabaphuma emakhaya ahlwempu. UMnu Sphiwe Ngidi okhulumela UBumbano Lwethu futhi oyikhansela laka-ward 2 kuMasipala waseMkhambathini uthe

lokhu abakwenzile kuyizindlela zokubuyisela okuhle emphakathini nokunikeza abafundi ithemba lokufezekisa amaphupho abo. Uthe lesi sikole iPhangindawo bakholwa wukuthi yiyona eyacaba indlela yabo yababeka lapho bekhona namhlanje. “Nginxusa abazali ukukhulisa izingane ngendlela efanele abayakujabulisa uma

sezikhulile. Lokhu esikwenza namhlanje kungukulekelela umphakathi esikhule kuwona ngokuthi nathi siziveze ukuthi sikhona futhi sinawo. Siyafisa ukukhula kule nhlangano yethu senze nokukhulu okudlula lokhu esikwenza namhlanje,” kusho ikhansela uMnu Ngidi. UMnu Siyabonga Ngubane onguthishanhloko kulesi sikole utuse ukuzinikela kwalaba bafundi okuyimanje benza imisebenzi emqoka emphakathini ngokungakhohlwa lapho bephuma khona. Uthe uyakholwa wukuthi nabazali babafundi bazokwehlelwa wumthwalo wokufunela izingane zabo umfaniswano futhi uzokhulula nalabo abadonsa kanzima ekukhuliseni izingane zabo. “Bukhulu ubunzima esibhekene nabo singothisha njengoba ngesinye isikhathi uye uphume wonakalelwe wumoya ngenxa yesimo sezinye izingane esizifica emakilasini zisesimweni esingagculisi ngomfaniswano. Ebusika kuba nzima kakhulu ngoba uye ufice omunye egodola engenalo ijezi eqhuqhwa ngamakhaza. Zonke lezi zinto ziyasikhathaza singothisha futhi ziletha ingcindezi nakithina,” usho kanje. Umfundi u-Aphiwe Ngidi (11) ubongele ozakwabo ahlomule nabo ngomfaniswano ethi uyazi ukuthi nabazali babo bazojabula uma bebabona begqoke sebefana nabanye abafundi. Uthe isifiso sakhe ngukuba wudokotela ngoba unothando lokunakekela abagulayo.

UMsunduzi uhlangabezana Kubungazwe usuku lwamalungelo nezikhalo zabagibeli TSEPO MOTLOKOA

UMASIPALA waseMsunduzi eMgungundlovu ukusukumele ngokushesha ukukhala kwabagibeli abasenzisa irenki enkulu engaphansi kwezakhiwo zalo masipala iProfessor Nyembezi Building okuthe ngeledlule abagibeli bazithela phezu kwethantala ledamu ebelibangelwa ukuqhuma kwamapayipi amanzi asetshenziswa kuleli bhilidi. Kuphoqeleke amatekisi ukuthi aphumele ngaphandle kwavaleka uBoshoff Street, Church Street noPietermaritz Street njengoba abanikazi bamatekisi belalele ngokushesha ukukhala kwabagibeli ebebala ukhasha ukungena erenki bethi kabawagqokile amadadla okungena emanzini. Kule renki ebizwa ngokuthi kuseMgodini kutholakala amatekisi aya eGoli, Mzimkhulu, Harding, Richmond nezinye izindawo ezakhele uMgungundlovu ezaziwa ngeGreater Edendale kuhlanganisa ne-Azalea. Intatheli yeSivubela Intuthuko izibonele isiminyaminya ebesikule migwaqo ebalwe ngenhla yaleli dolobha njengoba amatekisi abephumile erenki kuminyene utshumo lapho kugitshelelwa khona. Abagibeli abakhulume naleli phephandaba bathe bekungekho lula ukungena erenki kulesiya simo samanzi abekhawula ngenhla kwamaqakala. UVuyolwethu Mtikita waseMzimkhulu obezogibela amatekisi

aya kwelakubo uthe kasiqali ukwenzeka lesi simo sokuthi kuphazamise amanzi kule renki. Ubonge ithimba likaMasipala waseMsunduzi elisukume ngokushesha ukuhlangabezana nezikhalo zabo bengabagibeli. “Siyabonga ukuthi isheshe yenziwa imizamo yokufika kwabalungisa amapayipi kodwa kube nokudideka kithina bagibeli njengoba sifice amatekisi echitheke yonke le migwaqo edlula lapha ngaserenki. Besifisa ukuthi umasipala okungenani kanye ngesonto uthumele ithimba lawo lizohlola isimo ukuze lokhu kuvuza kwamanzi kusheshe kubanjwe ngoba uma esemaningi kuphazamiseka izinto eziningi. Nathi bagibeli singagcina sesidlala izigebengu njengoba sisuke sihamba sibuza ukuthi ami ngakuphi amatekisi aya ngakithi,” usho kanje. Okhulumela uMasipala waseMsunduzi uThobeka Mafumbatha ekhuluma nabezindaba eMgungundlovu uthe umasipala wabo usheshe wahlangabezana nokukhala kwabagibeli njengoba isimo siye salungiswa abuyela erenki namatekisi. Ubonge ithimba labo elisukume ngokushesha kuhlanganisa lezamanzi namaphoyisa omgwaqo abaye bangenelela lapho bebedingeka khona ukuze kungaphazamiseki idolobha ngesiminyaminya ebesidalwe ngukuvuza kwamapayipi kwaphuma nabantu erenki.

Esthombeni usekela Meya uNkk Zama Ncalane- Mhlongo MAGAYE CELE

UMASIPALA waKwaMaphumulo ubungaze usuku olukhulu lwamalungelo. Umbungazo walo Mkhandlu ubukade uqhubeka ehholo lomphakathi elikwaNtunjambili kuWard 1. ISekela Meya KwaMaphumulo, uNkk Zama Ncalane-Mhlongo, okhulumela uMkhandlu, uSimphiwe Shange neKhansela leWard, uMnuz Sithole kanye nabakwaKZN Liquor Authority bebenohlelo lokuqwashisa abantu ngokubaluleka kwamalungelo abo. Lolu suku luqale ngokuthi amaphoyisa, abakwaKZN Liqour Authority kanye nabazokuGembula KwaZulu Natal, iGaming and Betting Board bahlole ukuthi zikhona yizi izinto ezingavumelekile emphakathini ezifana nemishini yokugembula engagunyaziwe kanye neziphuzo ezinguganyizwe. USekela Meya Mhlongo-Ncalane useben-

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

zise lolu suku ukukhumbuza amalunga omphakathi waKwaMaphumulo ngokubaluleka kwamalungelo abantu kuzona zonke izindawo. Ukhumbuze umphakathi wakule ndawo ngakubize ngomsebenzi omkhulu athe sewenziwe nguhulumeni selokhu kwaba khona intando yeningi eNingizimu Afrika.’ Uthe: “Njengoba namhlanje sihlangane lapha sibungaza ukuphela kweminyaka engu-25 yamalungelo kufanele singayilibali futhi imisebenzi emikhulu uhulumeni aseyenzile. Sizoqhubeka futhi nokusebenza. Abantu kodwa kumqoka ukuba bazi futhi baqonde kahle kamhlophe ukuthi ilungelo nelungelo lihambisana nejoka lakhona.” Eqhubeka uSekela Meya Mhlongo-Ncalane ube esephonsela imbokodo inselelo ukuba ingalibali ukuhlala nje igoqe izandla kodwa kunalokho ibhukule kube khona ekwenzayo ngenhloso yokuziphilisa impilo engcono. Uthe sesifikile manje isikhathi sokuba abantu besifazane babonakale bezithatha izindawo zokuba ngabaholi bangesabi. “Mina ngikholwa ukuthi konke kusezandleni zethu bantu besifazane. Knajalo namakhaya ethu asezandleni zethu,” echaza. Loyo oyisiKhulu esiphezulu esisabambile KwaZulu Natal Liquor Authority, uNkz Carol Mbhele ukhulume ngokubaluleka kokusetshenziswa kahle kwamalungelo abantu. Uthe abantu kumele baqonde ukuthi kuyilungelo labo ukufunda nokuphila impilo engcono.


MASHI 2021

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Kushikisha ufudu kudansa unwabu emacikweni aseMgungundlovu TSEPO MOTLOKOA

UKHAYA Dladla oqokelwe ukucija amaciko aseMgungundlovu

INTAKA ibekelwe amazolo emacikweni asafufusa esifundeni saseMgungundlovu njengoba ehlelelwe i-workshop yezinyanga ezingu-5 ngabe-Black Face Creative Projects lapho ecijwa khona ngomkhakha wokulingisa nowomculo kuhlanganisa nokufakwa kwawo emakethe. UXolani Zondi ongumqondisi weBalck Face Creative Projects owaduma emdlalweni weshashalazi i-7 Day’s War okwakuyimpi yabe-ANC nabe-IFP eyadlula nemiphefumulo eminingi yabantu baseMgungundlovu ngasekuqaleni kuka-1990 uthe amaciko ahambela le workshop athole ingqayizivele yethuba lokucijwa nguKhaya Dladla (Nxebalendoda) noLucky Simayi (Shwiliza) abangabalingisi beHostela ukuwumdlalo okhonjiswa esiteshini esikhokhelwayo seDstv iMzansi Magic 161 ngeSonto ngo8 kuya ku-9 kusihlwa. UXolani uthi okumenze wahlela ukusiza amaciko angaku-

bo yingoba uye awabone etabalasa uma ezama ukungena emkhakheni wokulingisa nasemculweni agcine edikibala namathalente awo. Uthe ngalolu lwazi analo kwezokulingisa uyafisa ukwabelana nabanye ngalo nokuthi alande osaziwayo abalingisayo nabaculayo. “Abantu esibasizayo lapha ngabaphakathi kweminyaka engu-14 kuya kwengu-45. Le workshop siyeza njalo ngoLwesihlanu nangoMgqibelo njengoba kuzoze kuphele lezi nyanga ezinhlanu esizihlelile. Lapha sihlomisa amaciko akusasa ngezindlela zokuthuthuka kule mikhakha emibili nokuthi azi ukuthi le mikhakha ijule kangakanani akusikhona ukuba ngumculi kumbe ukulingisa kuphela okuphilisayo kodwa kuyabhalwa, kuqondiswe, kwenziwe nokunye okuningi. Sizimisele ukubambisana nohulumeni ngokugcina yonke imithetho yeCOVID-19 njengoba konke sikwenza ngokuqikelela ukuthi akuphumi esandleni,” usho kanje.

Ligcine elakwethembisa umphakathi iphephandaba

IKHASI 7

SIVUBELA Intuthuko ITHIMBA LEPHEPHA >> UMHLELI MAKHOSI MNGOMA makhosi@sivubelaintuthuko.co.za 083 618 4252

NOKULUNGA MAJOLA Info@sivubelaintuthuko.co.za 072 1792 255

>> INTATHELI YEZEMIDLALO THABANI MAPHUMULO trmaphumulo@gmail.com 063 278 3658

>> GRAPHIC DESIGNER AND LAYOUT LINDA MAZIBUKO trusouth1@gmail.com 076 4847 269

UMNU Sihlesinenkosi Ngidi uthishanhloko waseMbitane Primary School ephakathi kwabafundi abahlomule kwiSivubela Intuthuko. TSEPO MOTLOKOA ISIVUBELA Intuthuko iphephandaba lomphakathi ligcine lokho elakuthembisa umphakathi waKwaZulu-Natal ngobukhona bayo ngokungagcini ngokubhala izindaba zomphakathi kuphela kodwa libuye libheke emphakathini lelule isandla lapho kudingeka khona ikakhulukazi ukulekelela abafundi ezikoleni. Leli phephandaba likwenze njenge nxenye yokugubha usuku nenyanga yamalungelo abantu, belihambele eMbitane Primary School ngokubambisana nezinkampani ezifana nabakwaVodacom kanye nosomabhizinisi uMkhucululi liyonikela ngezimfonyo, ama-sanitizers, izikhwama zokuphatha izincwadi nezicathulo kubafundi abahlonzwe ngothisha njengabaphuma emindenini edla imbuya ngothi. UNkk Makhosi Mngoma uMhleli oMkhulu weSivubela Intuthuko uthe leliphephandaba izinjongo zalo ngukukhulumela nokunakekela umphakathi. Uthe kabafuni ukuphakela umphakathi izindaba kuphela kodwa bafuna nokuthi kube khona okuzuzayo ngalo njengoba liyingxenye yezimpilo zabo. “Sazibophezela ngokuthi okungenani njalo ngenyanga kube khona okuhle esikwenzela

UNKK Makhosi Mngoma uMhleli weSivubela Intuthuko enabafundi baseMbitane Primary School abebehanjelwe yileli phephandaba.

umphakathi ikakhulukazi izikole zalapha KwaZulu-Natal lapho sinabafundi baleli phephandaba. Ziningi izikole esesiye sazihambela siyonikela ikakhulukazi ngezinto ezimqoka kubafundi abangamantombazane njengoba beye bahlomule ngemisubelo (sanitary towel) nokunye kokubagcina bebahle. Yebo, ukuvalwa kwezwe nyakenye kusiphazamisile kwezinye izinhlelo ebesinazo njengephephandaba emuva kokubheduka kweCOVID-19. Siyathembisa ukuthi lokho esakusho ngeSivubela Intuthuko sizohamba emigomweni yakho ukuze umphakathi usizakele ngobukhona bethu siyiphephandaba. Kule zinyanga ezizayo sizohambela nakweziye izikole eThekwini njengoba sizoqala eNgonyameni nalapho siyokwenza lokhu esikwenzayo ezikoleni kokulekelela abafundi ngabakudingayo. Sikholwa ukuthi lokhu esikwenzayo kuyabethula umthwalo emahlombe abazali njengoba kwesinye isikhathi kuba nzima ukugcina zonke izidingo zezingane ikakhulukazi uma isimo singesihle ekhaya kwezezimali,” usho kanje. UMnu Sihlesinenkosi Ngidi onguthishanhloko waseMbitane Primary ubonge ithimba leSivubela Intuthu-

ko ngokuphonsa esivivaneli lelule isandla nasesikoleni asengamele ukulekelela abafundi. Uthe lokhu okwenzelwe abafundi kusho lukhulu kubona ngoba kunikeza ithemba lempilo kubafundi besikole sakhe. “Izandla sihlezi sizivulile ukulekelela esikoleni ngoba kuningi okwenza isikole siqhakaze kusukela ezindongeni kanjalo nabafundi abasemagcekeni. Ukuqhakaza kwesikole kunikeza ithemba ezisebenzini ezingothisha ngomsebenzi wazo kanjalo nabafundi bayakhuthazeka ukuba sendaweni enempilo,” usho kanje.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

SANELISIWE NGEMA Info@sivubelaintuthuko.co.za 067 920 8446 MAGAYE CELE info@sivubelaintuthuko.co.za 067 920 8446 TSEPO MOTLOKOA info@sivubelaintuthuko.co.za 067 920 8446 IWEBSITE YETHU www.sivubelaintuthuko.co.za sivubela intuthuko @sivubela intuthuko sivubelaintuthuko B 33 Ten Acre Thembeni Groutville, P.O Box 4473, Stanger 4450, 270 Stamford Hill Road Unit 1 Morningside, Durban, 4000 UMA UFUNA UKUKHANGISA KULELIPHEPHANDABA , SHAYELA 067 920 8446 / 083 618 4252


IKHASI 8

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

MASHI 2021

Sivubela Intuthuko

EZEMIDLALO

UNgqongqoshe ugqugquzela umdlalo wekarati entsheni

EZINYE zezinto ezinikelwe nuNgqongqoshe weZemidlalo uNkk Hlengiwe Mavimbela kwisikhungo seKarati iKai Karate Academy. MAGAYE CELE UGQUGQUZELA ukudlalwa kwekarati ezindaweni zasemaKhaya, uNgqongqoshe

wezobuCiko, amaSiko kanye neZemidlalo esiFundazweni, iKwaZulu Natal, uNkk Hlengiwe Mavimbela. UMphathiswa uMavimbela ukuchaza njengento emqoka

kakhulu ukuthuthukiswa kweminye imidlalo ebonakala ishawa ngesithende. Ubekade ekhuluma ngemuva kokuba kade ehambele isikhungo sokulolonga abashayi beKarati esibizwa ngokuthi yiKai Karate Academy esiseMvoti. UMavimbela unikelele lesi sikhungo ngezinsiza ezimqoka esizolekelela abashayi bakaKarati. Kuvelile ukuthi lesi sikhungo sisungulwe ngonyaka owedlule. Sihlose kakhulu ukukhulisa abashayi bakaKarati abasakhula ababonakala benentshisekelo enkulu yalolu hlobo lomdlalo. “Kumqoka kakhulu ukuba neminye imidlalo nayo ibonakale ithakaselwa ingashiywa ngaphandle. Ngikholwa ukuthi uKarate luwuhlobo lomdlalo olumqoka kakhulu. Ngakho sigqugquzela ukuthi babe baningi abantu abasha abangena kuwona,” kuchaza uMphathiswa uMavimbela. Eqhuba uthe lolu hlobo lomdlalo luhle kakhulu ngoba lubuye lulekelele ekutheni abadlali bawo bakwazi ukuzivikele ikhulukazi njengoba ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane

nezingane kubonakala kuphenduka insakavukela nje. “Lolu hlobo lomdlalo ngikholwa ukuthi lungakwazi ukusiza umuntu ukuba azivikele kalula uma kukhona abantu abamhlukumezayo. Ngakho ke kungaba yinto enhle kakhulu ukubona sanda kakhulu isibalo sabantu abasha abawujoyinayo,” echaza. Umsunguli walesi sikhungu uSensei Sbonel Mkhize uthe bayakuthakasela kakhulu ukuthola usizo oluvela ezingeni lesiFundazwe. Lokhu uthe akangabazi nje ukuthi kuzotshala imbewu yothando kubona bonke abadlali bakaKarati abangaphansi kwalesi sikhungo. Uchaze isikhungo sabo njensinye sezihamba phambili KwaZulu Natal yize sizanda kusungulwa. Ukusebenza kwabo ngokuzikhandla zikhathi zonke uthe yikhona okudala ukuthi bavelele. “Sijabule kakhulu ngokuthola ukwesekwa okuvela kuNgqongqoshe uMavimbela. Lokhu kusho lukhulu kithina. Siyathembisa ukuthi sizoqhubeka nokuzikhandla,”uphethe kanje uSensei Mkhize.

Kulokoza inhlansi yethemba kuMongameli woSuthu

UMENGAMELI weqembu AmaZulu Fc, uMnuz Sandile Zungu okubonakala sengathi iphupho lakhe lizofezeka. MAGAYE CELE

KULOKOZA inhlansi yethemba ngokufezeka kwephupho likaloyo onguMengameli weqembu AmaZulu Fc, uMnuz Sandile Zungu. Kuzokhumbuleka phela ukuthi ngesikhathi uMnuz Zungu ethenga leli qembu laKwaZulu Natal waveza ukuthi ufuna ukulibona lingena emaqenjini amane azobe ephezulu uma sekusongwa isizini yeDSTV Premier Soccer League. Indlela leli qembu elilolongwa nguBenny MCcarthy elenza ngayo muva nje kunikeza ithemba elikhulu lokuthi kungenzeka ngampela ligcine lifezekile leli phupho likaMnuz Zungu. Ngaphansi kobuholi bukaBenny AmaZulu abukeka edlala ibhola elinenkosi phakathi futhi elihambisana namagoli. Yikhona kanye ke lokhu osekuholelele ekutheni

leli qembu libe sendaweni yesihlanu kwilog yeDSTV. “Njengoba ngilithenga namhlanje leli qembu kuningi kakhulu okuhle engifuna ukulibona likuzuza. Ngifuna ukulibona liqeda endaweni yesine uma kuphothulwa imidlalo ngoMeyi. Ngizokwenza konke okusemandleni ami ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi leli phupho nakanjani liyafezeka,”wezwakala esho kanje uMnuz Zungu. Indlela AmaZulu adlala kahle ngakho nabalandeli bawo abaningi sebeqala ukulimisa ngesihloko manje elokuthi isicelo sikaMengameli weqembu nakanjani sizofezeka. Abahlaziyi bebhola lezinyawo bancoma kakhulu ukusebenzisana okuhle abathi yikhona okwenza izinto zibe lula eqenjini lamaZulu. Bancoma kakhulu namaPhini kaBen-

ny okunguSiyabonga “’Bhele”’ Nomvethe owayeqhulula amagoli ngezikhathi zakhe kanye noMonoeb “’Slamkat”Joseph owabe engunozinti owayengaconsi phansi kubalandeli be-Orlando Piarate ngesikhathi esagijima. UBenny usanda kuzwakala kwabezindaba ebancoma kakhulu abadlali bakhe ngendlela nje abadlala ngakhona. Uthe uma beqhuba kanje akangabazi ukuthi nakanjani kuyosongwa isizini besendaweni enhle kakhulu. “’Ngiyaziqhenya kakhulu ngendlela abadlali bami abasayibambe ngakhona. Angingabazi nje nakancane ukuthi uma siqhubeka kanje iyosongwa isizini simi endaweni enhle nezomjabulisa kakhulu uMengameli weqembu,”’echaza.

Izigqalabutho zizohlonishwa ngamankomane akhethekile

MAGAYE CELE

INHLANGANO eyengamele ezesibhakela, eNingizimu Afrika iBoxing South Africa (BSA),seyimemezele ukuthi izokuba nezimpi ehlose ngazo ukuhlonipha oPhromotha ababili besibhakela abasanda kudlula emhlabeni, uThulani “Nkunzi” Magudulela weLudonga Promotions kanye noMzimase “Bra Mzi” Mnguni obengumnikazi weEyethu Boxing Promotions. Lezi zindaba ziqinisekiswe yiloyo oyisiKhulu esiphezulu esisabambile enhlanganweni yesibhakela uNkz Cindy Nkomo. Ukuchaze njengento emqoka kakhulu ukuhlonishwa kwalaba

ababili. Ubachaze njengoPhromotha abayibekile induku ebandla. Uthe imisebenzi yabo iyabakhulumela. Echaza uthe : “Yebo zikhona izinhlelo ezinqala esihlose ngazo ukubahlonipha bobabili. Ngabe senza iphutha elikhulu uma singangabahlonipha bobabili. Uma konke sekuqondile sizomemezela ukuthi izimpi zizoba kuphi nendawo.” UNkomo uthe kungenzeka izimpi lezi baziyise KwaNongoma ngenhloso yokuhlonipha uNkunzi. Lokhu uthe bazobe bekwenza ngoba uNkunzi ushone kunezimpi abehlele ukuziyisa khona KwaNongoma. Bobabili uNkunzi noBra Mzi sibe sikhulu kakhulu isililo ngemuva kokuzwakala kwezindaba zokudlula kwabo em-

hlabeni. Baningi kakhulu abashayi sibhakela abagcine baziwa iNingizimu Afrika yonke nasemhlabeni nje jikelele abaphekwe yilaba bobabili. UNkomo uthe bazosale sebehlonipha nengqwele yomhlaba nayo engasekho emhlabeni eyayikade ishaya isibhakela esiqwhiza umentshisi, uPeter “’Terror” Mathebula. UNkomo ubuye wakushayela elikhulu ihlombe leli ukungena kukasomabhizinisi owaziwayo kwezesibhakela, uMnuz Jacob Mnisi. Lokhu uthe kuzodala ukuthi isibhakela sihlonishwe kakhulu kunakuqala. Udalule nokuthi lo somabhizinisi usezinhlelweni zokuhlela izimpi ezizoba zisendaweni esazomenyezelwa.

Uthulani Magudulela weLudonga Promotions osanda kudlula emhlabeni kuthiwa kuhlongozwa izimpi zokumhlinipha bekanye nozakwabo naye ongasekho uBra Mzi.

031 828 0433 / 082 597 6669

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.