Sivubela Intuthuko Newspaper

Page 1

SIVUBELA Intuthuko

ADVERTISING: (031) 8222 602 JUNI 2020

FACEBOOK: SIVUBELA INTUTHUKO

SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

LIMAHHALA USHICILELO 47

UMeya uthi abehlise umoya abakhahlanyezwa izikhukhula

UMkhandlu WakwaMaphumulo Uhlangene NesiShayamthetho

iKhasi 4

udaba ekhasini 3.

uNdunankulu wesifundazwe iKwaZulu Natal uMnuz Sihle Zikalala kanye noNgqongqoshe n wezokuthutha nokuphepha komphakathi uMnuz Bheki Ntuli ngenkathi kuvulwa umgwaqo uRuth First Highway eMhlanga.

Kusegazini ukusebenzela umphakathi

iKhasi 6


IKHASI 2

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

JUNI 2020

Kugqugquzelwe izinhlelo zolimo entsheni

Esithombeni umsunguli wenhlangano uMnuz Sfiso Kweyama kanye nengxenye yamalungu enhlangano iNgadi Nomuzi Project

MAGAYE CELE “INGCINDEZI yendlala edalwe ubhubhane sizokwazi ukuyivika ngezitshalo ezinempilo . Lawa amazwi omsunguli wenhlangano engenzi nzuzo uMnu Sfiso Kweyama usesungule iNgadi Nomuzi Project ahlose ngayo ukugqugquzela intsha yaseMgangeni, eMadundubala,

eningizimu yeTheku ukuba izibandakanye kweZolimo. Lolu hlelo lwakhe lubandakanya abantu abasha bakule ndawo abangu-16 ngaphansi ward 105. Akubalulile ukuthi intsha kubalulekile ingene kweZolimo, kungenye yezinto ezimqoka kakhulu ngokusho kwakhe uMnu Kweyama. Uthe kungalula kakhulu ukuba intsha iphile impilo engcono inqobo nje uma ingangena ithi shi kweZolimo

ize ifinyelele esigabeni sokuthi iyakwazi ukuxosha ikati eziko ngazo belu eZolimo. “Okuyikhona engikufisayo ukubona abantu abasha bakule ndawo bekuqonde kangcono ukubaluleka kweZolimo. Angingabazi ukuthi uma bengaqhubeka nokuzimisela nakanjani ekugcineni bangazuza lukhulu. Kuyisifiso sami esikhulu ukubona intsha iziphilisa isebenzisa eZolimo,” echaza.

Okunye okuhle ngeZolimo uthe ukukhiqizwa kokudla okunomsoco nokunempilo okuyikhona athe kugunyazwe ngodokotela. Uveze ukuthi uhlelo INgadi Project lugqugquzela abantu abasha baseMadundubala ukuba umuzi nomuzi ube nengadi. Uthe ngemuva kweminyaka emihlanu uma konke kuhambe kahle futhi bengazange bazithele ngabandayo nakanjani bayobe sebehwebelana nezitolo ezinkulu. Uma sekufinyelele kuleso sigaba uthe impilo iyobe seyisesigabeni sokuthi bathola impilo ethokomele ngeZolimo. Noma sikulesi sikhathi esinzima sobhubhane okuhle ngalomsebenzi yokuvelisa ukudla okungu organic . Sisebenza ngokukhulu ukuzinakekela esimweni sezempilo siqikelela ukusondelana nenhlanzeko njalo uma sifika sifutha ngezibulali magciwane noma sesibuyela emakhaya siyazihlanza izandla ngaphambi kokungena ezindlini, asihlukani nezifonyo zethu. Esephetha uthe kulokoza inhlansi yethemba mayelana nokudlondlobala komsebenzi wabo kwazise uthe bagabe nangokuthi basebenzisana nabantu asebehambe ibanga elide kweZolimo. Omunye walabo bantu uthe nguMnu Mnqobi Ndelu ofunde wagogoda kulo mkhakha. Ngaleso sizathu ke uthe akawuboni umsebenzi wabo ufadabala.

Izophenduka isibhedlela iRoyal Show ground

UNdunankulu waKwaZulu -Natal uMnuz Sihle Zikakalala Kanye Nongqogqoshe wezempilo uNksz Nomagugu Simelane -Zulu ngenkathi kuvulwa isibhedlela esise Royal Show Grounds MAGAYE CELE EMIZAMWENI yesiFundazwe yokubhekana ngqo nesibalo esikhula mawa-

la sabahaqwa yigciwane iCorona, uNdunankulu wesiFundazwe saKwaZulu Natal, uMnu Sihle Zikalala usedlulisele ngokusemthethweni enye yezinkundla enedumela ukuba nayo isetshenziselwe

ukugcina abahaqwe yileli gciwane. Le nkundla yiRoyal Show Ground yaseMgungundlovu eyaziwa kakhulu njengoba ivamise ukusingatha imibungazo emikhulu okubalwa kuyona iNkulumo yesiFun-

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

dazwe, ukuvulwa kweSishayamethetho kanye nemicimbi yokwethweswa kwemiyezane. Ekhuluma esithangameni sabezindaba ebiseMgungundlovu uZikalala uthe unethemba elikhulu lokuthi lemi zamo izothela izithelo ezinhle. Ukuvezile ukuthi le nkundla izomumatha imibhede engu-254. Futhi ukugcizelelile ukuthi izobe isetshenziselwa kakhulu ukusiza iziguli ezivela kwiziFunda, uMgungundlovu, iHarry Gwala kanye noThukela. Ezinyangeni ezimbalwa uthe kuyajabulisa ukuthi sebekwazile ukwengeza ngemibhede engu-7111. Yize isiFundazwe sibhekene nesimo esibucayi kakhulu kodwa uthe sebekwazile ukuqasha izisebenzi eMnyangweni weZempilo ezilinganiselwa ku-8893. Phakathi kwazo uveze ukuthi baqashe abahlengikazi abangu-4804 kanye nomaBhalene abangu-284. UNdunankulu uphinde wakhala ngabadicilela phansi umsebenzi omkhulu asebewenzile. “Sesisebenze umsebenzi omkhulu wokuletha izinsiza ezibhedlela. Ingwadla enkulu esibhekene nayo ukufinyelelisa izinsiza ezikoleni ngoba ongoma uyayona esisebenzisana nabo kubuye futhi kube yibona abahudula izinyawo abafaka unyawo lwedada kulokhu. Sesihlele nokuthi uma sibabhadama izinyawo zozogcwala udaka,” usho kanje.


JUNI 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 3

UMeya uthi abehlise umoya abakhahlanyezwa izikhukhula

UNdunankulu wesifundazwe Sihle Zikalala ehambisana noNgqongqoshe wezokuThutha uBheki Ntuli Kanye ne Meya yeTheku Mxolisi Kaunda ngenkathi kuvulwa umgwaqo uRuth First Highway eMhlanga. SKHUMBUZO NZUZA UKUSEBENZA ngokubambisana kwezinhlaka zikahulumeni yikhona okusize kakhulu ekulungisweni kabusha komgwaqo owakhahlanyezwa yizikhu-

khula ezashiya kukhalwa nyakenye. Lokhu kuvezwe uNdunankulu wesifundazwe saKwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala ngesikhathi kuvulwa kabusha umgwaqo uRuth First kuM4 eMhlanga UZikalala obebambisene nongqongq-

oshe wezokuThutha esifundazweni uMnuz Bheki Ntuli kanjalo nemeya yeTheku uMnuz Mxolisi Kaunda uveze ukuthi ukulungiswa kwalo mgwaqo odle imali elinganiselwa ku-R45 million kuphinde kwasiza nokonga ingxenye enkulu yemali ebingasebenza. UZikalala uthe umengameli wakuleli uMnuz Cyril Ramaphosa ngesikhathi ethula lolu nyakenye isimo salo mgwaqo sasisibi kakhulu.“ Kunohlelo olwethulwa uMengameli ngenhloso yokuzwa amanzi ngobhoko iDistrict Development Model. Ngalolu hlelo sikhombisile ukuthi izinto zenzeka ngokushesha uma yonke imikhakha kahulumeni ngokuhlukana kwezigaba zayo isebenza ngokubambisana. Kushesha kuphinde kongeke nemali yabakhokhibentela. Lo mgwaqo ubaluleke kakhulu ngoba abantu abahlala enyakatho yesiifundazwe basebenzisa wona ukungena nokuphuma eThekwini. ngaleyondlela bekufanele siwusheshise, kusebenze imali elinganiselwa ku-R45 million,” kusho uZikalala. Kuzokhumbulela ukuthi lezi zikhukhula zashaya kwazwela ezindaweni eminingi ezakhele iTheku. Nokwenza leli dolobha libhekelelwe kakhulu. Imeya yeTheku uKaunda uthe leli dolobha linemali engu-R140million. Le mali

uKaunda uthe isetshenziswa ukulekelela abantu ababhidlikelwa izindlu ngenxa yezikhukhula. Kule mali kusizwa imindeni eyakhahlamezeka ukuthi ikwazi ukuthenga impahla yokwakha kabusha izindlu ezadilika ngesikhathi sezikhukhula.“ Isikhathi sikathaqa (lock down) ngeke saphika ukuthi siziphazamise kakhulu izinhlelo ebesinazo. Besihlele ukulekelela ngokushesha abantu abathintekayo. Kodwa esingakuqinisekisa ukuthi lomsebenzi uzoqhubeka njengoba kuyisigaba sikwisigaba sesithathu,” kusho uKaunda Ephetha uthe ukuqhubeka nomsebenzi kuzolekelela kakhulu ukuze kuqambe kushintsha isimo sezulu sebesizakele abantu. UNtuli uthe akuzogcina ngalo mgwaqo kodwa bewumnyango basazoqhubeka nokulungisa eminye imigwaqo nakwezinye izindawo. Ephetha ubesezwakalisa ukungenami ngabantu ngezephula mthetho emgwqeni. Abantu akhale ngabo kakhulu abashayela bephuze utshwala nabaphuza maqede batetekume emgwaqeni nokungenye yezinto ezandisa isibalo sezingozi nokushona kwabantu emgwaqeni. UNtuli uthe ingalo yomthetho izoqina kulabo abazotholakala nenza lokhu.

Bakhala ngendlu abahlala endlini ebhodlokile

Umndeni waKwaNdlovu eMalukazi uthi awuphephile njengoba uhlala endlini esibhodlokile kanti basaba nenyoka abathi ihlala egcekeni. NOKULUNGA MAJOLA UHLALELE ovalweni umndeni wakwaNdlovu eMalukazi, enyakatho neTheku njengoba bethi bahlala nenyoka egcek-

eni. Lomndeni onamalunga amane uthi usuzame konke okusemandleni ukuthola usizo kodwa alutholakali. UNksz Sibongile Ndlovu, 28, nezingane zakwabo bashonelwa umama wabo ngonyaka ka

2013 wabashiya bengenakhaya. Kumanje bahlala endlini i Wendy house eyayisetshenziswa njengomtholampilo wabantu besifazane. Lendlu ayinawo ugesi kanti iyigumbi elilodwa. Ngokusho kukaNksz Ndlovu, kunzima ukuthi bahlale bonke kulendlu ikakhulukazi ngoba kukhona nomtwana womfana. “Njengamanje akekho osebenzayo la ekhaya kanti besiphila ngemali yesibonelelo sikahulumeni salaba abancane kodwa sebekhulile manje. Into esiyiding akakhulu indly yokuhlala ngoba le esihlala kuyo ayisaphephile njengoba isibhodloka nje,” kusho uNksz Ndlovu. Njengoba sekuyisikhathi sobusika lomndeni uthi awazi ukuthi uzoba umtshingo ubethwa ubani njengoba bexakekile nje. “Lendlu esihlala kuyo ingawa noma inini ngoba amapulangwe asegugile kunezimbobo yonke indawo. Sisazofa nje thina amakhaza,” kuzikhalela uNksz Ndlovu. Okukhalisa uNksz Ndlovu kakhulu ukuthi abantu abaningi bayalwazi usizi labo kodwa abazimisele ukubasiza. “Ngisho abantu kade benikwa izijumbana zokudla thina asukaze sikuthole besikubona kudlula ngamathilakhi kodwa akekho ongazi ukuthi asisebenzi futhi asinabazali kusho,” kushio uNksz Ndlovu.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Ikhansela lendawo uNksz Sindisiwe Dlamini uthi uyalwazi usizi lwalomndeni kanti usohlwini lwemindeni ezothola indlu uma inkinga yalemixhaso eyadliwa ngenkani isilungisekile.


IKHASI 4

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

JUNI 2020

Kusegazini ukusebenzela umphakathi NOKULUNGA MAJOLA “UMAMA wangifundisa ukuthi ngingajabuli uma omunye umuntu esosizini kodwa ngibe isixazululo enkingeni abhekene nayo,” lawa amazwi ensizwa esencane yaseMzinyathi enyakatho neTheku uMnuz Menzi Bhengu. UMnuz Bhengu (30) uthi uthando lwakhe lokusebenzela umphakathi lwaqala mhla eqaphelisisa ukuthi umuntu wesifazane ayehlekisana naye owayephuma ekhaya elihlwempu wayenzelwa uyena izinto eziningi okubalwa nezinto zokugcoba. “Lento yangihlupha kakhulu enhliziyweni yami ukucabanga ukuthi baningi abantu bezifazane abaphila lesimo. Ngafikelwa umqondo wokuthi ngiqale uhlelo lokuthengela abafana namantombazane izinto zokugcoba namaqabelo, nensipho kanye nezinye izinto ezincane ezidingwa abantu abasakhulayo ukuze bahlanzeke,” kusho uMnuz Bhengu. Lokhu wayekwenza ekhipha ephaketheni lakhe njengoba wayesasebenza ngalesosikhathi. Wagcina esethatha isinqumo sokuthi asize nabanye abantu ngaphandle kwentsha kuphela. “Bengiye ngisize lapho kunesidingo khona uma abantu bengifonela becela usizo lokudla noma ngabe yini enginamandla okuyenza bengiyenza. Ngiwumuntu onozwela kakhulu kanti angithandi ukubona omunye umuntu esenkingeni. Engikwenzayo kusuka othandweni kanye nasezimfundisweni zikamama,” kusho uMnuz Bhengu. Ukusebenzela umphakathi wangakubo selokhu akuqala ngonyaka wezi 2014,

nokuthe lapho ephelelwa umsebenzi ngonyaka odlule waqhubeka esizwa osomabhizinisi basendaweni ukufeza umsebenzi abese ewuqalile. “Bekuba lula ngisasebenza ngoba bengithatha kwenginakho kodwa manje sekunzima ngoba angisakwazi ukwenza into ngokushesha ngoba kumele ngicele uxhaso kosomabhizinisi nokuthatha isikhathi,” Kusho uMnuz Bhengu. Nakuba kumthathe iminyaka, ugcine esebhalisa ngokusemthethweni inhlangano yakhe engenzi nzuzo iMenzi Bhengu Foundation nathi uzoyithula ngokusemthethweni ngoSepthemba nonyaka. “Ukusebenzela umphakathi akuyona into elula. Kuke kwaba nezikhathi lapho ngithukwa khona, ngigxekwa ngilala ngikhala ngize ngifise ngisho ukuyeka, kodwa ekhaya bangigquguquzela ukuthi ngingayeki. Kuyisifiso sami ukubona lenhlangano isimama isiza abantu abaningi kuzwelonke. Ngifisa kube inhlangano efinyelela lapho uhulumeni engafinyeleli khona,” kuqhuba uMnuz Bhengu. Njengamanje usabhalisele uxhaso lukamasipala weTheku lapho kuxhaswa khona izinhlangano ezingenzi nzuzo, oluzovalwa ngo July nonyaka lwe Grant-In Aid. “Nginethemba lokuthi uxhaso engingaluthola lungenza omkhulu umehluko emphakathini,” kusho uMnuz Bhengu. Eqhuba uthe ukubambisana kosomabhizinisi nezinhlangano ezingenzinzuzo kungasiza kakhulu emphakathini. Ukhuthaze intsha ukuba isukume izimele isebenzise wonke amathuba enikwa wona. Ngiyazi kunzima esikhathini samanje ukutho-

Bafakelwe isandla nabasemapulazini abakhahlazwe iCorona

UMnuz Menzi Bhengu ngenkathi enikela ngezijumbana zokudla emphakathini Isithombe sithunyelwe

la imisebenzi kanye nokusiza abantu ungalindele lutho kodwa uma kukhona

ongakwenzela omunye umuntu, kwenze ungabheki ukuthi yena uzokwenzelani.”

UMkhandlu WakwaMaphumulo Uhlangene NesiShayamthetho

“Namhlanje silapha kubasebenzi basemaPulazini. Nginesiqiniseko sokuthi ukusebenza kwabo lapha sekukhona okuningi abakwazile ukukufunda.”

Esothembeni uKhansela Bongani Majola ku wadi 59 MAGAYE CELE UMASIPALA weTheku ngokubambisana noMnyango weZolimo nokuThuthukiswa kwezindawo zaseMakhaya banikezele ngamaphasela okudla kubantu abasebenza emapulazini. Ukufaka igxalaba koMnyango noMasipala weTheku bakwenza ngaphansi kohlelo abalwethe elokuthi yiCovid 19 Social Relief. Bangu-49 sebebonke abahlomule ngamaphasela okudla ngalolu suku. Kube ngabasebenzi base-Oxford Farm yakuWard 59 eVerulam enyakatho yeTheku kanye nabaseQwabe Farm eMtantengayo.

IMeya yoMkhandlu weTheku uKhansela uSipho Kaunda ophinde abe nguSihlalo weKomidi elibhekelele ukuThuthukiswa koMnotho ukuchaze njengento emqoka kakhulu ukuphonsa itshe esivivaneni kukaMasipala ngenhloso yokusiza labo abakhahlanyezwe wukubheduka kweCorona isigubhukane. Unxuse izisebenzi ukuba zingazitheli ngabandayo kodwa zivuke zizithintithe zisebenzise amakhono azo ngobuhlakani. Ubaphonsele inselelo yokuba baqale nabo bazifundise ukutshala ukuze bakwazi ukuzimela. Uthe uma abasebenzi basemapulazini abaphila kulesi sikhathi bengasebenzisa amakhono abo ngendlela efanele lokho kungaholela ekutheni nesizukulwane esilandelayo sikwazi ukuphila impilo engcono ngaphandle kokukhangezwa. Uthe okumqoka kakhulu wukuthi intsha ikwazi ukuncela kogwansile kulabo asebenolwazi olunzulu. Uthe: “Namhlanje silapha kubasebenzi basemaPulazini. Nginesiqiniseko sokuthi ukusebenza kwabo lapha sekukhona okuningi abakwazile ukukufunda. Kungakuhle uma singabona abasebenzi bedlulisela ulwazi olunzulu abahlomule ngalo lapha kubantwana babo kanjalo nasemindenini yabo.”

uMeya Khansela Zibuyisile Khuzwayo Dlamini Kanye namalunga esiShayamthetho MAKHOSI MNGOMA uMeya womkhandlu kwaMaphumulo ukhansela Zibuyisile Khuzwayo -Dlamini bahlengene nesiShayayamthetho basaqhubeka nemikhankaso yokuhlola izikole ngaphansi kwe Lembe . Baqikekela ukuthi izingane zivikelekile kulolubhubhane , baphinde baqinisekise inhlanzeko ukugezwa kwezandla , ukufakakwa kwezimfonyo kanye nokwazi ukuqhelelalana. Ukuhambela ezokwengamela izikole zesiShayamthetho kugxile emnyangweni weZemfundo ukwethula isimo semibiko yokulungela ukungxila

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

kulezi zindawo: Ukufundisa nokufunda imiyalo ye -Covid-19 > Ingqalasizinda yezikole > Ikilasi ukunakwa komphakathi > IPPE’s yabafundi nothisha > Izikhungo zokuhlanza > Izindawo zokubamba izandla /ukuphakelwa kwamanzi > Ikhishi NSP > Uthango > Ukungena nokuphuma ngamaphuzu > Amakamelo okuhlukaniswa nawo > Inqubo yokuhlola


JUNI 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 5

BY 2030 ETHEKWINI WILL BE AFRICA’S MOST CARING AND LIVEABLE CITY

Ubonga uxhaso lweminyango yeTheku Umfelandawonye waseMzinyathi

Usihlalo we ILangabi Elingacishi uMnuz Philani Magwaza, Mnuz Mlungisi Ngcobo isekela, noNkszThembi Ngcobo nabaphathiswa UNomusa Dube Ncube no Peggy Nkonyeni. Amalunga angekho esithombeni uNksz Nolwazi Magwaza Kanye noNksz Thembekile Ngcobo. NOKULUNGA MAJOLA UKUBUKA isimo sempilo yentsha eningi kuleli engasebenzi kanye nendawo abahlala kuyo, kwenza ukuba bafikelwe umqondo wokusungula umfelandawonye wezolimo. Lentsha yaseMzinyathi, enyakatho yeTheku kuwadi 3 ithi basebenze kanzima ukuze bafike kulelizinga abakulo. “Sabuka isimo sentsha eningi endaweni nokusweleka kwamathuba omsebenzi sahlangana saya kocela umhlaba enkosini yendayo Inkosi Mqoqi Ngcobo wasinika. Kwadingeka ukuba siwulungise ukuze ulungele ukutshalwa nokwaba inselelo enkulu njengoba kwakuneziphunzi esasingeke sikwazi ukuzisiphula ngezandla namageja,” kusho uMnuz Magwaza ongusihlalo womfelandawonye Ilangabi Elingacishi. Uthi bacela usizo kumasipa-

la weTheku emnyagweni we Agri-Ecology nowabaxhasa ngeTLB yabasusela iziphunzi yaphinde yalima yonke indawo ababezotshala kuyo engango 2 hectors. “Kusukela ngonyaka ka 2015 esaqala ngawo kuze kube unyaka odlule besitshala singabiyile. I Agri-Ecology isisize ngezinto eziningi njengoba sakwazi ukutshala i butternut, baphinde basithengela nekhontena (container) ebesibeka kuyo izimpahla nesivuno. Lekhontena ibifana nesikhungo lapho sigcina khona zonke izinsizakusebenza zethu,” kusho uMnuz Magwaza. Uthi ngoFebhuwari wangonyaka odlule, umyango waka Agri-Business nawo ongaphansi komasipala ngokusizana wabe usubakhela inusery, lapho bekhulisa khona izithombo neyaze yaphela ngenyanga ka June. “Baphinde babiya, bathumela nezinye izinsiza ezidingakalayo.

Ngalokhu sikwaze ukwenza imali elinganiselwa ku R60 000 ngalezithombo,” kusho uMnuz Magwaza. Uthi abakwenzelwe ileminyango kamasipala kwenze omkhulu umehluko njengoba nabo sebengabalimi abaziwayo futhi abahlonishwayo endaweni. Baphinde basungula amathuba omsebenzi entsheni yendawo. “Kulonyaka ngaphambi kokuba kuqale uthaqa, basithumelela umuntu ozosisiza asithuthukise ngolwazi (mentor) nokwenza omkhulu umehluko. Abaningi esasiqale nabo badikibala bashiya phansi kumfelandawonye njengoba babethi awuyi ndawo, manje sesisele sibahlalu, abasefazane abathathu kanye nabesilisa ababili kodwa sisaqhubeka sisebenza ngokukhulu ukuzikhandla lokhu,” kusho uMnuz Magwaza. Ngokusho kukaMnuz Magwaza, babengeke bakwazi ukuphumelela bebodwa ngaphandle koxhaso lomphakathi abawakhele. “La eMzinyathi kuwadi 3, awukho umuzi ongenayo ingadi ngoba bathenga

kithina izithombo. Ukukhula kwalomfelandawonye sekusidonsele uxhaso nasemnyangweni wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha neMvelo KwaZulu-Natal,” kusho uMnuz Magwaza. Izithombo abanazo kubalwa isipinashi kanye neklabishi. uMnuz Magwaza uthi kumanje balungisela ukutshala iklabishi elizovuthwa ngo August. Unxusa intsha ukuthi iwasebenzise amathuba avelayo kanti futhi ingawubukeli phansi umkhakha wezolimo ngoba unamathuba amaningi. “Ngidlulisa ukubonga kakhulu ku Agri-Ecology, Agri- Business nomnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha neMvelo KwaZulu-Natal ngoxhaso abasinikeze lona. Ngabe asikho la esikhona namhlanje nokuthi sikwazi ukudayisa imikhiqizo yethu emphakathini ngaphandle koxhaso lwaleminyango nokusicushisa ezintweni eziningi ngalomkhakha,” kuphetha uMnuz Magwaza.

Ilangabi Elingacishi lithi ngabe alikho la likhona ngaphandle koxhaso lweminyango kamasipala weTheku

Ezinye zezithombo nezitshalo umfelandawonye Ilangabi Elingacishi elinazo ensimini

Ukhuthaza intsha ukuthi ingazibandakanyi nezidakamizwa NOKULUNGA MAJOLA

UMnuz Lwazi Sithole ukhuthaza intsha ukuthi ingazibandakanyi nezidakamizwa kowa isebenzise amathuba ukuzithuthukisa

UKHUTHAZA intsha ukuba ingazibandakanyi nezidakamizwa ohlala emgwaqweni. UMnuz Lwazi Sithole (28) osehlale emigwaqweni ehlukene eThekwini iminyaka engaphezu kwemihlanu uthi izidakamizwa zenze omkhulu umonakalo empilweni yakhe walahlekelwa amathuba abengamenza abe umuntu ongcono. Njengoba inyanga ka June, kuyinyanga lapho kukhunjulwa khona intsha yangonyaka ka 1976, uMnuz Sithole uthi instha kumele isebenzise amathuba enikwa wona ukuzithuthukisa kanye nomphakathi ehlala kuwo. “Mina ngibe nethuba lokuba ngibe usaziwayo, nokuthi ngiyofunda esikhungweni esiphakeme kodwa ngadlala ngalo lelithuba ngahlangana nabangani abangalungile ngagcina sengingena nasezidakamizweni,” Kusho uMnuz Sithole. Lensizwa esencane ingomunye

wabaningi abahlala emgwaqweni ababekwe ezikhungweni ezihlukene ezihlelwe umasipala weTheku ukugwema ukubhebhetheka kwegciwane lecorona. Uthi loluhlelo lukamasipala luyishintshe kakhulu impilo yakhe njengoba esezimisele ngokuthola umsebenzi ozomsiza asuke emgwaqweni. Njengamanje uMnuz Sithole, ungomunye wabasizayo e Denis Hurley Centre, okungesinye sezikhungo ezigcine abahlala emgwaqweni ngokusebenzisana noMasipala weTheku kanye nezinye izinhlangano ezizimele. Uthi selokhu afika kulesikhungo usefunde okuningi njengoba esekwazi nokusiza ekhishini lakhona. Uthi ukuhlala kulesikhundla kuphinde kwamsiza ukuthi akwazi ukuzithiba agweme ukusebenzisa izidakamizwa. “Sengihlale isikhathi eside kakhulu emgwaqweni bese ngikhohliwe ukuthi injani impilo okungeyona eyasemgwaqweni. Kulesikhungo sithola ukudla kathathu

ngosuku, siyageza kanti sifunda namakhono ahlukene. Mina ngikhethe ukuthi ngisize ekhishini ukuze ngingahlali nje ngingenzi lutho olungagcina lungenza ngibuyela ekwenzeni izinto ezimbi” kusho uMnuz Sithole. Ngokusho kuka Mnuz Sithole, uma usuyijwayele impilo yasemgwaqweni akubi lula ukuthi uphinde ujwayele ukuhlangana nabantu ngoba usujwayele inkululeko yokwenza noma yini. Echaza kabanzi ngokuthi kungani ehlala emgwaqweni uthi ingoba umkhulu wakhe wayemhlukumeza esemncane emva kokushonelwa umama wakhe. “Ngagcina sengibaleka ekhaya nokwenza ukuthi ngigcine sengizithola emgwaqweni. Ngifisa ukushintsha impilo yami ngithole umsebenzi ngisuke emgwaqweni ngizakhele impilo engcono. Ukuba kulendawo kunginika ithuba lesibili nengizimisele ukulisebenzisa ngendlela,” kusho uMnuz Sithole.

Sicela uxhumane noMasipala weTheku ngalezi zindlela uma unenkinga ephathelene namanzi okanye ukuthuthwa kwendle:

WhatsApp - 073 148 3477, Noma ushayele le nombolo 080 311 1111

kanti futhi ungathumela ne-Email ku-eservices@durban.gov.za

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


IKHASI 6

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

JUNI 2020

Kubongwe othisha ngokuzinikela ngesikhathi esinzima seCovid -19

SKHUMBUZO NZUZA SEHLILE isibalo sabafundi ababhuquza emakhaya esifundazweni saKwaZulu-Natal kulandela ukuvulwa kwenye ingxenye

yabafundi kule nyanga. Ezikoleni ezibalelwa ku6000 kulesi sifundazwe bezibalelwa ku-104 izikole ebezisavaliwe selokhu kwaqubuka kobhubhane lweCovid-19 kuleli nokwaholela ekutheni kumiswe

ukufunda nokufundisa. uNdunankulu wesifundazwe uMnuz Sihle Zikalala uthe sezikusele izikole eziwu-46 kuphela ezingakavulwa ngokulandela imigomo kaqatha nomnyango wezemfundo kuzwelonke. UZikalala uphinde wahambela Ohlange High, eNanda neNhloko yomnyango wezemfundo uMnuz Enock Nzama ukuyohlola isimo nokulandelwa kwemithetho kaqatha. Kanjalo nokubheka ukuthi ngabe othisha nabafundi bakaGrade 7 no-12 esebevulile bahlinzekiwe yini ngezinsiza. UZikalala uthe 97.6% wezikole sewukulungele ukuqalisa ukufunda nokufundisa ngemva kwekhefu lezinyanga ezimbili ngenxa ngenxa yeCovid-19. “ Kuyangijabulisa ukuthi izikole eziningi zikhombisa ukuzimisela futhi kuyakhombisa ukuthi ziyakujwayela ukuphila ngendlela yokunqanda ukusabalala kwaleli gciwane. Kuyadumaza ukuthi kunezikole ezibike ukuthi kunothisha esebehloliwe batholwa benezimpawu zalesi sifo. Kodwa ngiyawuncoma kakhulu umnyango wezempilo nowezem-

Kubungazwe usuku lwabaphila nebala elimhlophe “Njengamanje uMasipala wethu uqashe abantu abangamaphesenti amabili abaphila nokukhubazeka.” MAGAYE CELE

Osisithombeni Sgwili Richman Zuma

IMEYA yoMkhandlu weTheku, uKhansela Sipho Kaunda isihlanganyele nomhlaba wonke ekubungazeni usuku lwabantu abanebala eliMhlophe (Albinism). Lolu suku belukade lubungazwa ngomhlaka-13 kuNhlangulana. Emizamweni yokubhekana ngqo nesihlava sokuhlukunyezwa kanye nokucwaswa kwabaphila naleli bala, uMeya weTheku, usehlanganyele nabaleli bala emhlabeni jikelele ekugqugquzeleni abahlali baseThekwini ekutheni nabo bangasali ngaphandle ekufuqweni kombhidlango wokukhunjulwa kwalolu suku olumqoka lwabaphila naleli bala. Ingqikithi yale mibungazo beyithi: “Wadalelwa ukuqhakaza.” Ngenxa yokuvumbuka kweCorona kuhlalukile ukuthi indumezulu yedili lomculo yokubungaza abanaleli bala izobe iqhutshwa kusetshenziswa ezobuchwepheshe besimanje. Le mibungazo izobe ilumbaniswe nomthelela ongemuhle odalwe yiCovid 19. IMeya uKaunda ithe kungumsebenzi wawo wonke umuntu okhona ukuqinisekisa ukuthi abaleli bala baphila ngaphansi kwezimo ezamukelekile emphakathini. Kuphindwe kuqinisekiswe ukuthi bayavikeleka ekuhlaselweni kwabo okunganasidingo. “Ngonyaka ka-2008 inhlangano yezizwe i-United Nation yabeka ngokusemtheth-

weni ukuthi abanebala eliMhlophe kumele bathathwe njengabantu abaphila nokukhubazeka. NjengoMasipala weTheku sesihambe ibanga elide ekuqinisekiseni ukuthi abantu abaphila nokukhubazeka nabo bayawathola amathuba ezinhlakeni ezahlukene.” Eqhuba uthe: “Njengamanje uMasipala wethu uqashe abantu abangamaphesenti amabili abaphila nokukhubazeka. Abangaphezulu kwamakhulu amabili babe ngabanye ababandakanyeke ohlelweni lwethu lokucijwa kwezisebenzi. Bonke laba sibaqeqesha ngaphansi kwezinhlelo iContact Center Operation NQF Level 4 kanye neBusiness Adiministration nayo ewuLevel 4.” IMeya ikugcizelelile ukuthi konke lokhu kuwukuzinikela koMkhandlu weTheku ekuhambisaneni nomthetho wokuqashwa wakuleli ekulekeleleni abantu abaphila nokukhubazeka ezindaweni zomsebenzi. Kusenjalo uSgwili Zuma ongomunye wabaculi abanebala eliMhlophe unxuse ukuba bahlonishwe abantu abaphila naleli bala. Ubekhuluma kwisiteshi sikaMasipala weTheku. Ukuhlonishwa kwamalungelo abo kanye nokuphathwa kahle kwabo ngezinye zezinto athe zimqoka. “Mayiphele le nto yokubulawa kwabantu abaphila nebala eliMhlophe. Sekuyisikhathi sokuthi nabo bathole ukwesekekwa abakudingayo,” usho kanje.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

fundo ngokusukuma zivalwe lezo zikole ngokushesha bahlolwe bonke abantu kuzo,” kusho uZikalala. Ephetha uthe uma sekuphothulwe konke zizophinde zivulwe lezi zikole ezisavaliwe. Uphinde wabonga nothisha ngokuzinikela emsebenzini ngesikhathi esinzima nesibucayi kakhulu. Uthishanhloko waso-Ohlange High uMnuz Siyanda Nxumalo uthe kuyabathokozisa ukuzifikela mathupha kukahulumeni esikoleni sabo. “ Lokhu kukhombisa ukweseka okukhulu kwemfundo, ngaphambi kokuvulwa kwezikole zonke insiza bese zifikile kulesi sikole,” kusho uNxumalo. Ephetha uthe Ohlange banabafundi abawu-153 ebebelindile nokusafike abawu-151. Abanye abafundi abangakaqali kusaboniswana nabazali babo. UNxumalo uthe phambilini lesi sibalo sabafundi esingenhla besifundela emakilasini amathathu. Kodwa manje bafundela emakilasini ayisishagalombili njengoba bebahlukanise nga-20 ukuqinisekisa ukuthi abasondelani. Othisha bona bangu-41abasebenzayo noyedwa kuphela kulesi sibalo ongakabuyi.

Sezivuliwe izikhungo zentela eMhlathuze INTATHELI YEPHAPHANDABA Izikhungo zokukhokha intela zeDolobha laseMhlathuze manje sezivulelekile kumalungu omphakathi. Isikhungo saseRichards Bay Civic Centres, eMpangeni Civic Center nezinye izikhungo zesathalayithiezisezindleleni zokugcina amanzi nasemalokishini sezibuyele ekusebenzeni ngokugcwele. Umphakathi uyanxuswa uma banemibuzo ehlobene namanani, izicelo zezitatimende, izinkokhelo kanye nokunye. Umasipala unxuse amalunga ophakathi ukuthi angavakashela izikhungo bazoqapha ukuphepha njengomsebenziwabo. Izinyathelo zokuqinisekisa ukuphepha ekuqhekekeni kwe-COVID-19 zisendaweni efana nokulondolozwa kweSocial Distancing, isibulali mangcewanezesandla, izibuko ze-perspex nezibonakaliso zolwazi konke kusendaweni. Amalungu omphakathi ayanxuswa ukuthi alandele imithetho efana nokugqokwa ngokuphoqelelwa komamaski obuso, lapho evakashele izindawo zamahhovisi. IDolobha selibuye landisa izindlela zokuthola izinsiza zikamasipala online kanye nemibuzo ngocingo kanye nabezindaba kwezenhlalo. Amakhasimende kanye namalungu omphakathi bayakhuthazeka ukuthi bahlole lezi zindlela njengoba kuhloswe ngazo ukwengeza imigqa emide engadalwa yimithetho yokulethwa komphakathi. Umkhandlu ukungcizelele ukuthi amakhasimende angahle athenge ugesi okhokhelwa ezitolo ezinkulu eziseduze nabo futhi amayunithi ayalingana nalapho uthenga ngqo ehhovisi likaMasipala. Zonke izindlela zokukhokha eziku-inthanethi zizoshicilelwa ezinkundleni kwabezindaba.


JUNI 2020

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Iminyango ibhunga yokwandisa izimoto zabafundi UNgqongqoshe wezokuthutha uMhlonishwa Bheki Ntuli ehambele eMagabheni.

SKHUMBUZO NZUNZA UMNYANGO wezokuThutha nokuPhepha komPhakathi KwaZulu-Natal ubeke isamba sika-R366million ukubhekana nohlelo lokuthuthwa kwabafundi. Le mali ayingxenye yesabelo mali somnyango izobhekana ngqo nezindleko zokuthuthwa kwabafundi umabeya ezikoleni. Lokhu kushiwo ungqongqoshe walo mnyango uMnuz Bheki Ntuli eMagabhe-

ni ngesikhathi ehambele isikole samabanga aphansi iDlambula Primary. UNtuli uphume umkhankaso wokuhamba ehlola izithuthi ezithwala abafundi nokubheka ukuthi kungabe ziyayilandela yini imigomo yokunqanda ukusabalala kwe COVID-19. IDlambula Primary ngesinye sezikole asihambele ukuthola ukuthi ngabe konke kuhamba ngendlela yini njengoba kubuyelwe ezikoleni kunanemigomo kathaqa ebekelwe izikole.

Kuzokhumbuleka ukuthi kubuyelwa ezikoleni nje ziningi izikole ebese kubukiwe ukuthi zigqekeziwe. IDlambula ngesinye sazo lezi zikole ezagqekezwa. “Kuyadumaza ukuthi kulesi sikole ngesikhathi sesigaba sesihlanu sikaqatha kungene izinswelaboya zatshotsha insiza kufundisa. Okubalwa namakhompuyutha awu-50 kodwa sengixhumene namaphoyisa akulendawo aphezu kophenyo oseluya ngasemaphethelweni. Kungekudala inhlanzi izoshelwa amanzi kulezigebengu. Kuyajabulisa kakhulu engikubonile abashayeli abathutha ingane zethu bayaqikelela ukuthi abafundi bayalihlonipha ibanga lokuqhelelana ezimotweni,” kusho UNtuli. Uphinde wakuveza ukuthi izimoto zokuthutha abafundi ziyashoda kulesi sikole. UNtuli uthe kulesi sifundazwe bangu-59 000 abafundi abasebenzisa uhlelo lwe Schooler Trasport kanti ziwu-470 izimoto ezenza lomsebenzi. Ephetha uthe sebexoxile nongqongqoshe wezeMfundo esifundazweni uMnuz Kwazi Mshengu wacela ukuthi kwengezwe isibalo sezimoto ezizothutha abafundi. Usho kanje ngokubona ukuthi usazobamkhulu umthamo wabafundi umangabe sebebuyela bonke ezikoleni. Yize kunjalo uthe akukho okusaphatheka njengoba kuwudaba abasaluxoxa ngenxa yesimo somnotho osantenga.

Sesimi ngomumo isikhungo semfundo i Coastal Collage

Esthombeni uMphathi uMnuz Zwane no Dokotela Nzama kanye no yiMenenja Mnuz S. Magwaza MAGAYE CELE ISIKHUNGO sezeMfundo esicija amakhono iCoastal College sinxusa abazali ukuba bangabi nayo ingebhe kodwa babavumele abantwana babo ukuba babuyele esikoleni. UNkz Snegugu Zuma obhekelele ezokuxhumana kanye nokuKhangisa kulesi sikhungo ukuqinisekisile ukuphepha kwabafundi athe yikhona abakubeke eqhulwini kulesi sikhathi esibucayi umhlaba wonke obhekene naso. Ngesikhathi enenkulumo ekhethek-

ile naleli phephanda uNkz Zuma uthe abazali mabangabi nalo itwetwe. Uthe: “Singakuqinisekisa ukuthi asikho isidingo sokuba abazali besabe ukuletha abantwana babo. Konke kumi ngomumo kuwona wonke amaCampus ethu.” Eqhuba uveze ukuthi baqashe abezeMpilo okuyibona abazohlola bonke abafundi abangena esangweni. Uthe abafundi bazohlolwa izinga lokushisa baphinde babuzwe ukuthi bazizwa kanjani akukho yini ukugula okuke kwabahlasela emzimbeni. Ngaphakathi emagunjini okufundela uthe ezindongweni kuzobe

kunanyathiselwe izibulali magciwane (Sanitisers). Kuphinde kuqikekelwe ukuqhelelana phakathi kwabafundi (Social Distancing). “Wonke umfundi kuzomele aqinisekise ukuthi uyasisebenzisa isibulali magciwane ngaphambi kokuba kuqhubeke ukufunda,” usho kanje. Uzishaye isifuba nangokuthi amamask nawo akhona kwazise uthe wona athungwa ngabafundi babo uqobo abafundele ukuthunga. Lokho kukodwa uthe kubethule umthwalo. Uthe okwamanje ngenxa yokuphepha angeke bakuvumela ukuba abafundi babuye bonke kanye kanye. “Okwamanje abafundi sizobabuyisa kancane kancane. Kodwa sizobe sibabuyisa ngokuhlukana kwezigaba zabo,” usho kanje. Mayelana nesikhathi esesilahlekile uthe banohlelo olunzulu lokuqhuba izifundo besebenzisa izindlela zobuchwepheshe, besebenzisa iWebsite yabo ethi: www. coastalkzn.co.za Ukuphepha uthe kuzobe kuseqophelweni eliphezulu kuwona wonke amCampus ale sikhungo. AmaCampus abekhuluma ngawo yilawa alendelayo yiSwinton, uMlazi V,uMlazi BB, Appelsbosch,uBuhle BoGu, uMbumbulu, yiCentral Campus yakwaMkhutha kanye neDurban Campus.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 7

SIVUBELA Intuthuko ITHIMBA LEPHEPHA >> UMHLELI MAKHOSI MNGOMA makhosi@sivubelaintuthuko.co.za 083 618 4252

NOKULUNGA MAJOLA Info@sivubelaintuthuko.co.za 072 1792 255

>> INTATHELI YEZEMIDLALO THABANI MAPHUMULO trmaphumulo@gmail.com 063 278 3658

>> GRAPHIC DESIGNER AND LAYOUT LINDA MAZIBUKO trusouth1@gmail.com 076 4847 269

>> EZOMNOTHO NHLANHLA SIMELANE simelaneln@gmail.com 083 708 0930 SKHUMBUZO NZUZA info@sivubelaintuthuko.co.za 067 9208 446 IWEBSITE YETHU www.sivubelaintuthuko.co.za sivubela intuthuko @sivubela intuthuko sivubelaintuthuko B 33 Ten Acre Thembeni Groutville, P.O Box 4473, Stanger 4450, 270 Stamford Hill Road Unit 1 Morningside, Durban, 4000 UMA UFUNA UKUKHANGISA KULELIPHEPHANDABA , SHAYELA 031 822 2602/083 618 4252


IKHASI 8

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

JUNI 2020

Sivubela Intuthuko

EZEMIDLALO

I-Safa nesimemezelo sokubuya kwemidlalo “Ngokomthetho ochitshiyelwe ungqongqoshe wezeMidlalo uNathi Mthethwa abebhola lezinyawo sebengaqala ukuzilolonga” THABANI MAPHUMULO INHLANGANO esingethe ibhola kuleli iSouth African Football Association (SAFA) ikhiphe isimemezelo sokuthi imidlalo isingabuyela enkundleni ngaphansi kwemibandela ethile. Imidlalo ye-Absa Premiership kulindeleke ukuthi ibuyele maduzane. Emavikini edlule ungqongqoshe wezeMidlalo uNathi Mthethwa umemezele ukuthi abezemidlalo sebengaqala ukuzilolonga. ISafa ikhiphe isitatimende nezichaza kabanzi ngezindlela okumele zilandwe Uma eseqalile

amaqembu ukuzilolonga.“Ngokomthetho ochitshiyelwe ungqongqoshe wezeMidlalo uNathi Mthethwa abebhola lezinyawo sebengaqala ukuzilolonga, balandele imigomo,” kuchaza isitatimende. Izindawo zokuzilolonga kumele zifuthwe ngezibulali magciwane, ukuhlolwa ngaso Sonke isikhathi, ukugezwa kwezandla,” kuchaza isitatimende. IPremier Soccer League kulindeleke Kube yiyo ezomemezela izinsuku okuqala ngazo imidlalo ye-Absa Premiership Kanye neyeGladAfrica Championship.

OwoSuthu uthi angeke balilahle ithemba “ Yonke imindeni inezinkinga zayo, sibhekene nesimo esibucayi futhi esinzima sokuthi sijkwazi ukuhlala kwi-Absa Premiership. Nakuba kunjalo kodwa kulele kuthina ukuthina sibhekana kanjani nenselelo esibhekene nayo. Sidalelwe ukunqoba ngeke sililahle ithemba,”

THABANI MAPHUMULO

Umdlali wasesiswini woSuthu uSiphelele Magubane

UMDLALI wasesiswini waMaZulu FC uSphelele Magubane uchaza ngezinyanga zakhe ziyisithupha ejoyine uSuthu. Lo mdlali oneminyaka (27) ubudala ujoyine leli qembu maphakathi nesizini esamisiwe ngenxa yobhubhane lweCovid-19. UMagubane obegijima kuGolden Arrows ujoyine emva kokuhlukana kwenhloko nesixhanti naleli qembu. Kusukule ejoyine uSuthu usadlale imidlalo emihlanu ngaphambi kokuba kumiswe imidlalo ngenyanga uNdasa.“Angikokwenzi kabi kulesizini kodwa ngiyazi ukuthi kukhulu engingakwenza. Inkinga ngike ngahlala isikhathi eside ngingadlali, kodwa konke lokho ngisebenza phezu kwakho ukuzama ukukulungisa,” esho. Lo mdlali ushiye ku-Arrows engakaze adlale ngisho umdlalo owodwa ngenxa yokulimala. Okuqaphelekayo ukuthi lomdlali ujoyine leli qembu lisengcupheni yokugawulwa yizembe njengoba lihleli endaweni ye-15 kulog ye-Absa Premiership. “ Yonke imindeni inezinkinga zayo, sibhekene nesimo esibucayi futhi esinzima sokuthi sijkwazi ukuhlala kwi-Absa Premiership. Nakuba kunjalo kodwa kulele kuthina ukuthina sibhekana kanjani nenselelo esibhekene nayo. Sidalelwe ukunqoba ngeke sililahle ithemba,”

031 828 0433 / 082 597 6669

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.