Sivubela Intuthuko issue 32

Page 1

SIVUBELA Intuthuko

ADVERTISING: (031) 8222 602 MEYI 2019

FACEBOOK: SIVUBELA INTUTHUKO

SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

LIMAHHALA USHICILELO 32

Selungenelwe uHulumeni kaZwelonke olwezimvula

Indaba kwikhasi-3 >>>

Uhambe kahle umjaho eZululand

IKHASI: 8

Funda kabanzi ngezigcinalwazi zamaQhawe oMzabalazo

IKHASI: 5

Imeya yamukele aboSuthu

IKHASI: 8

Ungqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu esifundazweni saKwaZulu-Natali uNkk. Nomsa Dube-Ncube kanye noMeya weTheku uCllr Zandile.

Kuqanjwe kabusha isibhedlela eStanger

IKHASI: 2 SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


IKHASI 2

Wethule izicelo zomphakathi uMeya “Ngifuna kucace lokhu asizile la ngoba nakhu sekusondele ukhetho ngenyanga ezayo. Umphakathi wala uwufakazi walokho njengoba sekungokwesithathu sifika la ngenhloso yokuzolalela izikhalo zomphakathi silethe nentuthuko. TEBOGO SIBISI UJABULE wanconcoza umphakathi wama wadi ahlukene ngesikhathi umeya wendawo uCllr. Velenkosini Hlabisa ethelaka ehholo lomphakathi kwaNibela ngenhloso yokuzokwethula izicelo zomphakathi wakwa wadi 1,2,3,4 no 5 ngokulandela uhlelo lukamasipala iBig 5 kwaHlabisa. UMeya Hlabisa uhlangane nale miphakathi ehholo ePetros Mtshali Community Hall, kwaNibela eHluhluwe ezokwethula izicelo zomphakathi kulabo ababefake izicelo ngokwemifelandawonye nabamabhizinisi amancane. “Ngifuna kucace lokhu asizile la ngoba nakhu sekusondele ukhetho ngenyanga ezayo. Umphakathi wala uwufakazi walokho njengoba sekungokwesithathu sifika la ngenhloso yokuzolalela izikhalo zomphakathi silethe nentuthuko. Sibuyile futhi nanamhlanje ukuzobika ngesesikwenzile siphinde silalele izicelo zomphakathi njengoba kuzoqala unyaka wezimali. Sinezakhiwo eziseqhulwini esizoziletha esibeke kuyo imali ewu R21 million ukufeza izicelo zomphakathi nakwamanye amawadi.” UHlabisa uqhube ngokuthi,:” Kuzokwethulwa inkontileka inkampani ezofakela ugesi imizi ewu 699 kusukela eQimukuphila kuze kuyoshaya eMadolweni. Kunenye inkontileka ehamba ibheka imizi eyasala ngesikhathi kufakelwa ugesi emphakathini imizi ewu 1200 okumanje iyaqhubeka iyasebenza. Yonke lemisebenzi sizoqhubeka siyenze ngoba vele kade siyenza hhayi ngenxa yokhetho.” Kuphinde kwabekwa imali ewu R165 million ezokwakha izindlu eziwu 1667. Umkhandlu wabelwe imali ewu R185 million ukuqinisekisa ukuthi Intuthuko iyaya emphakathini kunyaka wezimali ka 2019/2020. Umphakathi uzwakalise enkulu injabulo ngokuzokwethulelwa izicelo zawo okubalwa amatende, izitulo, izitofu, amatafula, imishini yokuthunga nokunye okuningi. Umkhandlu usebenzise imali elinganiselwa ku R311 620 kulamawadi amahlanu. Isiyonke imali esetshenziwe umkhandlu ukwenza lezinhlelo zezicelo zomphakathi ibe wu R768 246,00. Lokhu kuvezwe yiMeya uMnu uVelenkosini Hlabisa ngesikhathi ethula inkulumo yakhe.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

MEYI 2019

Kuqanjwe kabusha isibhedlela KDM “siyajabula ukuthi ekugcineni sifinyelele esigabeni lapho silondoloza umlando wamaQhawe afana no Mpanza owayengu General kuMkhonto weSizwe wagqunywa ejele eRobben Island iminyaka engu15 elwela impilo engcono yomntu omnyama owecindezelwe uHulumeni wabamhlophe” SKHUMBUZO NZUZA UMASIPALA waKwaDukuza ukushayele ihlombe ukuqanjwa kabusha kwesibhedlela esikade sibizwa nge Stanger Regional Hospital.Mhlaka 25 Ephreli uNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu Natal uDkt Sbongiseni Dhlomo,iMeya yaKwaDukuza uKhansela Ricardo Mthembu kanye namalunga oMkhonto weSizwe ngabanye babantu abaqavile abahambele umcimbi wokuqanjwa kabusha kwalesibhedlela eGroutvill.

UMaphumulo uyalila ngokushona kweKhansela

Lesibhedlela siqanjwe ngesigayigayi somzabalazo uGeneral Justice Gizenga Mpanza ngenhloso yokumhlonipha ngamagalelo akhe ngesikhathi somzabalazo,’’ siyajabula ukuthi ekugcineni sifinyelele esigabeni lapho silondoloza umlando wamaQhawe afana no Mpanza owayengu General kuMkhonto weSizwe wagqunywa ejele eRobben Island iminyaka engu15 elwela impilo engcono yomntu omnyama owecindezelwe uHulumeni wabamhlophe. UGizenga kuning ayekulwela futhi waba owokuqala ukusungula igatsha lika Khongolose kulendawo kwazise abantu abaningi babesaba ukwenza lokho.Kuyajabulisa ukuthi igama lakhe lisebenze kwisikhungo esibaluleke kangaka emphakathini,ngiyathemba zonke izinhlaka ezizosebenzisana nabasebenzi base General Gizenga Mpanza Hospital bazoziphatha kahle bahloniphe umlando waleligama banikezele ngosizo olulindeleke kubona olusezingeni eliphezulu futhi balandele imigomo ye National Health Insurance System’’, kusho uMthembu. UGeneral Gizenga Mpanza ukhulele eGroutville wajoyina i-African National Congress ngonyaka ka-1952,waboshwa iminyaka engu-15 eRobben Island,udlu-

UMasipala wakwaMaphumulo uholwa mguMeya uKhansela Zibuyisile Khuzwayo-Dlamini, udlulisa amazwi okudabuka ngokudlula emhlabeni kukaKhansela Fanzo Nzuza, okuyisehlakalo esenzeke ekhaya lakhe ngoLwesihlanu, mhlaka 26 kuMbasa ka-2019. UKhansela Nzuza ebezimisele, esebenza ngokuzikhandla, futhi ewumele ngokweqiniso umphakathi abewuhola wakwa-ward 2, noMaphumulo wonkana. Ukhansela Nzuza wenze umsebenzi oncomekayo eMkhandlwini, kanti ukufa kwakhe kuzoshiya elikhulu igebe kuHulumeni waseKhaya. UMkhandlu wakwaMaphumulo kanye nomphakathi wakhona bagqemeke ingozi engeqiwa ntwala ngokudlula kwaleliKhansela ebelisebenza kanzima ukulwisana nobuphofu, ukungalingani, kanye nokuntuleka kwamathuba emisebenzi. Egameni loMkhandlu wakwaMaphumulo, nomphakathi wakhona, sifisa ukwedlulisa amazwi enduduzo emndenini, ezinganeni nakubangani. Umphakathi ulahlekelwe ngumholi, umngani, kanye nenhloko yomuzi. Sengathi umphefumulo wakhe ungalala ngokuthula

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

le emhlabeni ngonyaka ka-2002 eseneminyaka engu-65 ubudala ngalesosikhathi ubeyiKhansela le-ANC kuMkhandlu weLembe.

Kuqanjwe kabusha isibhedlela eStanger


MEYI 2019

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 3

Selungenelwe uHulumeni kaZwelonke olwabakhahlanyezwe yizimvula

Ungqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu esifundazweni saKwaZulu-Natali uNkk. Nomsa Dube-Ncube kanye noMeya weTheku uCllr Zandile. noweSifundwazwe sebengenelele ukusiza imindeni ekhahlanyezwe izikhukhula ngempelasonto yephasika.Lezimvula

SKHUMBUZO NZUZA UHULUMENI kaZwelonke kanye

zigadle kwezwela kuMasipala waseThekwini,Ugu,King Cetshwayo nakwezinye izindawo,mhla 25 Epreli uNgqongqoshe eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uMhlonishwa Nomsa Dube-Ncube,usingathe isithangami nabezindaba eCoast Lands Hotel lapho ebezodalula khona izinhlelo zokusiza bonke abantu abathintekile. Babalelwa ku-65 abantu abashonile ababikiwe ngenxa yalezimvula kuleSifundazwe makuhlanganiswa nalabo abadilikelwe uphahla lwesonto eMpangeni ngesikhathi ziqala imvula bawu-85.’’NjengoHulumeni sidlulisa amazwi enduduzo kubona bonke abantu abalahlekelwe izihlobo zabo nemizi yabo,sithi akubona bodwa abathintekile nezikhungo zikaHulumeni ezifana nezibhedlela zithintekile,ngoLwesithathu mhlaka 24 Epreli uMengameli Cyril Ramaphosa uzifikele ngokwakhe ukuzobona umonakalo.Kumanje uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kuZwelonke oholwa uDkt Zweli Mkhize sibambisene nawo ukusiza abantu bakithi.Siqale uhlelo lokunikela ngezin-

gubo,ukudla kanye nezimpahla zesikole kubantu abahlaliswe emahholo awu-11 eThekwini futhi siyaqhubeka nokubheka abanye abantu abangakatholakali endaweni yaseTshelimnyama naseNanda Dam,uHulumeni uphezu kwezinhlelo zokuthi bonke abashonile bafihlwa ngesizotha sibonga kubona bonke abantu abazinikele basiza ngokutakula ngesikhathi kukubi’’,kubeka uDube Ncube. UMasipala weTheku usujube ithimba elitholakala emahhovisi ezinhlekelele eThewini Disaster Management Centre noma abantu bashayele inombolo ewu-0313670094 ukuletha usizo noma ukuthola ulwazi abaludingayo,kunethimba elitshalwe emakhazeni ase Phoenix,Gale Street kanye nase Pinetown okuyilona elisiza ngezinhlelo zokungcwaba kanti noMnyango wezasekhaya ukhona ukulekelela ngezitifiketi Kulabo abafuna ukwelula isandla uMnyango uthi uzivulile izandla bangaletha lokho abanakho emahhovisi aka Cogta eMayville nase Mkonde emahhovisi ezinhlekelele eMgungundlovu.

IDP / BUDGET ROADSHOW FOR ILEMBE DISTRICT FAMILITY OF MUNICIPALITIES 2019/20

MUNICIPAL

DATES

TIME

CLUSTERS / WARD

VENUE

Mandeni

11 April 2019

17h00

02, 03, & 04, Rate payers / Farmers Association

Mandini Golf Club

Mandeni

12 April 2019

11h00

01, 02, 03, 08 & 09

Mandeni ILembe

16 April 2019 24 April 2019

11h00 9h00

KwaDukuza Ndwedwe ILembe

17 April 2019 18 April 2019 Tbc

13h00 09h00 09h00

KwaDukuza KwaDukuza

23 April 2019 23 April 2019

09h00 18h00

KwaDukuza

24 April 2019

14h00

KwaDukuza

24 April 2019

18h00

Rate payers association Kwadukuza councill from North of KwaDukuza 6 & 22 Salt rock Library Rate payers association from South of KwaDukuza

Maphumulo

14 May 2019

09h00

7, 8, 9 & 11

ILembe

Tbc

09h00

Ward Committee and Amakhosi

Ward 08 KwaChili Sports field 06, 10, 11, 12, 16, 17 & 18) Emabhanoyini Ward Committees and Sibusisiswe Hall Amakhosi Amamkhosi Asendlukulu HR Boardroom (Ok Mall) 9,10, 11, 12, 13, 14 & 15 Ogonothini Sportsfield Ward Committees and Johnny Makhathi Hall Amakhosi Ward Committee Kwadukuza town hall ILembe Chamber of Com- ILembe Chamber merce Boardroom

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Hlimbithwa primary Sports Grounds Maphumulo Town Hall


IKHASI 4

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

MEYI 2019

Luyaqhubeka olokuqeqesha ulusha KZN SKHUMBUZO NZUZA KUQOPHEKE umlando abantu abasha bebala elinsundu abavela esifundazweni saKwaZulu-Natali abanga-50 beshayela bukhoma amabhanoyi e King Shaka International Airport.Lokhu kwenzeke Mhlaka 24 Ephreli eBallito lapho uNgqongqoshe ovela eHhovisi likaMengameli uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma,uNgqongqoshe wezabasebenzi uMildred Oliphant,uSihlalo wendlu yabaholi beNdabuko iNkosi Phathisizwe Chiliza,uhlaka i-Unemployment Insurance Fund ne Compensation Fund bethula ngokusemthethweni uhlelo lokuthuthukisa abantu

abasha iTraining Progamme. uNgqongqoshe wabasebenzi uNkk Mildred Oliphant uthe lolu hlelo luqale ngonyaka odlule bathathe abantwana abaningi abafunda emikhakheni eyehlukene.”Kumanje siqeqesha odokotela abangu 20,kunabashayeli bamabhanoyi abangu 50 esibaqeqeshayo kulesifundazwe abanye bakweminye imikhakha,uhlelo training Programme luyingxenye yezinqumo ezithathwe kwi Job Summit ebisingethwe ngonyaka owedlule lapho uMengameli azibophezela ekukhuliseni isibalo semisebenzi ngokuqeqesha itsha ikwazi ukuziqalela amabhizinisi ayo,senze isivumelwano nezikhungo zemfundo

ezilawulwa uHulumeni ezingu 32 ukuthi zizosisiza ukunikeza uqeqesho kubafundi. Imali esinayo ingu R7.9billion esiyithole ngoxhaso lwe UIF Labour Activation,lemali izosebenza iminyaka eminthathu esizimisele ukuthi kuleminyaka sikwazi ukuqeqesha itsha engu 160 000 kumakhono ahlukene,okuhle abafundi bathi befunda kube kukhona nemali abayitholayo eqonda kubona izindawo zokuhlala,ukudla,ukugibela konke kuyakhokhelwa mabezimisele asingabazi lokhu kuzokhulisa umnotho wezwe lakithi.’’kusho uOliphant. UDkt Nkosazana Dlamini-Zuma uthe lezi izithelo zenkululeko wathi ufisa

abafundi bazimisele ukuze kuzovuleka ithuba nabanye bakwazi ukuhlomula. ULungelo Mngwengwe odabuka eMaoti eNanda ofundela ukushayela amabhanoyi I Pilot uthi wezwa ngalolu hlelo ngonyaka owedlule wafaka isicelo sakhe Ohlange Institute kumanje uthi uzoqala isigaba sesibili soqeqesho lwakhe,kanti uHlengiwe Ngcobo odabuka eMachobeni eNanda yena owenza izifundo zokuthwebula emanzini iScoope diving uthi abanye abafisa ukungena kulolu hlelo lukaHulumeni bangazitheli ngabandayo ngoba luyiqiniso futhi unethemba meqeda izifundo zakhe uzothola umsebenzi noma aziqalele inkampani yakhe.

Kuzoxhaswa ababhali bezincwadi eThekwini SKHUMBUZO NZUZA

Esithombeni uZanele Mthethwa onguMbhali wezincwadi

WETHULE ngokusemthethweni umkhankaso umnyango wezamaPaki nokuNgcebeleka wokukhuthaza abantu ukuthi babhale izincwadi ngezimo abadlule kuzona obizwa ngokuthi nge Unwritten Book. Lo mkhankaso wethulwe ngoMgqibelo ngesikhathi kusongwa umbukiso i-Articulate Africa Book and Art Fair eqale mhlaka 11 yasongwa mhlaka 13 Epreli e-Exhibition Centre eThekwini. OyiNhloko kulo Mnyango kumasipala uMnuz. Thembinkosi Ngcobo uthe,kuyathokozisa akubonile kulezinsuku ezintathu kuqhubeka lombukiso,’’Kuzona zonke izithangami esibenazo asikho ebesingabi namuntu futhi nezikhulumi zethu ebesizimemile

zifike zizilungiselele ukululeka abantu abanentshisekelo yokubhala izincwadi,nokwenza ezinye izinto zobuciko.Besisezwa amanzi ngobhoko ngoba bekungokokuqala kulonyaka kodwa kwaba yindumezulu,mina bengingazi ukuthi abantu baseThekwini bakuthanda kanjena ukufunda nokubhala futhi kusiphonsele inselelo yokuthi siqinisekise ukukhulisa ikhono elikhona kuleli dolobha. Okubuhlungu ukuthi kunabantu abanezincwadi ezingaphakathi kubona ezingabhaliwe abangazi bazokwenzenjani singumasipala weTheku sinemali ewu R27 million ezoxhasa ababhali abasafuna ukushicilela izincwadi zabo nokuqinisekisa ukuthi ziyangena kwimitapo yolwazi yoMkhandlu futhi nasezitolo zezincwadi ziyatholakala.’’kusho uNgcobo. UMbhali ophinde abe umhayi wezinkondlo uMnuz Bongani Mavuso

osebhale izincwadi ezine uthe ukubhala kusemqoka ngoba kulapho ukwazi ukukhama injula yemizwa yakho ngokubonile nokuzwile ukugcine ephepheni okuyosiza ngisho nesizukulwane esizayo wathi futhi kulapho kugcinwa khona ulimi nemvelaphi yalo encwadini,wathi kuwumqondo omuhle okwenziwe umasipala ukuthula uhlelo lokukhuthaza abantu ukubhala futhi uqinisekise ukuthi uyabahlangabeza nangemali yokushicilela izincwadi,uNkk Vuyokazi Sibisi owakha ubuhlalu uthi ngalezinsuku ezintathu ekhangisa kulombukiso uzuze lukhulu wathi phambilini ubengumntu osebenzela ekhaya kodwa kuthe makuvela lelithuba walithathela phezulu wathi unethemba lokuthi lizokhula kakhulu ibhizinisi lakhe ngoba uxhumane nabantu abaningi.

Kume yonke into eNdwedwe kuqubuka umbhikisho UMASIPALA WELEMBE Umphakathi waseNdwedwe uvuswe yizibhelu zombhikisho nokuphazamiseka kwezithuthi emgwaqeni uP100 namuhla, ngoMsombuluko 29 April 2019. Bekunefu lentuthu, yizingodo ezigingqwe emgwaqeni nequlu lababhikishi abebala ukhasha. Nokho ubuholi obuphezulu babo bobabili omasipala, okungowesifunda iLembe District Municipality nowasekhaya iNdwedwe Local Municipality, sebuhlanganise amakhanda bazwakalisa ukushaqeka nokungenami neze ngalesi senzo. Ubuholi bubuka lesi senzo salombhikisho njengento ehambisana nobudlova kanye nobelelesi obenziwa ngabathile abazama ukugovuza umphakathi besebenzisa i-service delivery. Ubuholi busola ukuthi laba abenza lokhu bazama nje ukuzigqamisa ngenhloso yokuzuza okuthile kwazise noKhetho lukaZwelonke selusondele. Lento isukela embhikishweni wangomhlaka 11 April 2019 eNjubanjuba (ward 7) nomunye umbhikisho owenzeka mhlaka 15 April 2019 eNdwedwe emaphakathi. Ubuholi-ke buyaqinisekisa ukuthi zonke izikhalo zomphakathi ezaphakanyiswa emibhikishweni ziyalungiswa njengoba bekuthenjiswe emihlanganweni yomphakathi

ebibanjwe kulama-ward athintekayo emva kwemibhikisho. Omunye umhlangano womphakathi wawuseNkantolo yeSizwe kwaLuthuli Traditional Court eNjubanjuba eward 7 mhlaka 17 April 2019 kuthi omunye umhlangano waba seNkantolo yeSizwe eMavela, eward 15 mhlaka 22 April 2019. Ukhona futhi omunye umhlangano obubanjelwe kwamasipala eNdwedwe Council Chamber ngalolu Lwesihlanu nje esivela kulo mhlaka 26 April 2019, la bekuhlangenwe khona nomphakathi waseMakhawula naseNqakathela. Kuyo yonke le mihlangano yomphakathi bekuvela ukuthi amanzi nezindlu zeRDP kuseqhulwini ezidingweni zomphakathi. Mayelana namanzi, umphakathi unezinsolo zokuthi Ilembe District Municipality lehluleka wukuphakela iNdwedwe amanzi nje yingoba likweleta Umgeni Water isamba semali. Abanye abahlali basola Ilembe District Municipality ngokuthi liwanqamula ngamabomu amanzi ngoba lifuna kuzuze abanikazi bamathilaki athutha amanzi. Banuka abasebenzi beLembe District Municipality ngokuthi mhlawumbe awabo lamathilaki athutha amanzi. Okunye okuphakanyiswa wumphakathi wukuthi abasebenzi beLembe District Municipality badayisa amanzi, bedayisela omntakabani abanemali yokuwathenga. IMeya yeLembe District Munic-

ipality, uCllr Sduduzo Gumede, uzichithe walala ngomhlane zonke lezi zinsolo. IMeya ithe: “Akukho nokukodwa okuyiqiniso kulezi zinto ezishiwoyo. UMasipala iLembe uyawukhokhela u-Umgeni Water zinyanga zonke futhi nje besisakhokha kahle, asinasikweletu. Mayelana namathilaki athutha amanzi, imithetho nemigomo elawula ukusebenza komnyango wethu wakwaSupply Chain kuyabavimbela abasebenzi bethu ekuhlomuleni ngamathenda.” “Ngaleso sizathu-ke sinezinkontileka zeminyaka emithathu nethimba losonkontileka abazimele okuyibo abaphaka amanzi esifundeni sonke, kubalwa neNdwedwe. Kepha-ke ngiyanxusa ukuthi umphakathi ukhuthalele ukubika, uthathe izithombe noma uthumele imiyalezo uma ubona kudayiswa amanzi edayiswa ngabasebenzi bethu. Inamba yethu yeLembe Call Centre ethi 074 344 4508 yenza kubelula ngoba ithatha uWhatsApp. Ngaphezu kwakho konke, sinezinhlelo namaphrojekthi aqhubekayo sikhuluma nje, okuyiwo azoxazulula lenkiyankinya yengqalasizinda esindala negugile, siyivuselele kanjalo futhi sifake entsha ingqalasizinda. Lokhu kuzosiza ekuxazululeni udaba lwamanzi avuzayo nokuhlelela isimo sokwanda kwemizi,” kusho uMeya Gumede. Mayelana nezindlu, umphakathi uzwakalise ukungenami

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

ngokulindiswa isikhathi eside ulinde izindlu eNdwedwe Local Municipality. Ephendula uMeya waseNdwedwe uCllr Nkosinathi Chili ucacise ngokuthi izindlu kahle hle ziseMnyangweni wezokuHlaliswa Kwabantu, kodwa-ke njengoMasipala iNdwedwe umsebenzi wabo wukuqinisekisa ukuthi izimfanelo zokufaka izicelo zezindlu ziyenziwa bese konke kuhanjiswa eMnyangweni ukuze wona ucubungule bese uphasisa. “Inselelo wukuthi udaba lwezindlu luthatha isikhathi ukulungiswa. Noma kunjalo, akhona ama-phrojekthi aqhubekayo kumanje ezindaweni nasemawadini athinteka kulemibhikisho. Amanye alawo maphrojekthi aku-phase 1 kanti amanye aku-phase 2,” kusho uMeya Chili. Bobabili omasipala bawuvulile umnyango wezingxoxo nokubonisana phakathi komphakathi, Amakhosi, abamabhizinisi nawo wonke ama-stakeholders. Ubuholi buyaxolisa kakhulu ngokuphazamiseka okudalwe wumbhikisho kanti futhi bunxusa abezomthetho ukuthi sengathi bangashesha baluxazulule loludaba ukuze izinto zizobuyela esimweni. - Bika ukuvuza kwamanzi nokunye okuthinta amanzi kulenamba evulwa 24 hours ecall centre yethu: 032 – 437 9427


MEYI 2019

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

IKHASI 5

“Kuningi okufundwa umphakathi ngezindawo ezinoMlando eNanda”: Khansela

Umbazo wesithombe sika Mnuz. J.L Dube SKHUMBUZO NZUZA & TEBOGO SIBISI UKHANSELA wakuwadi-55 endaweni yaseNanda ngaphansi kamasipala weTheku uCllr. Vusi Gebashe useveze ukuthi luningi ulwazi olubalulekile oluzuzwa umphakathi waseNanda ikakhulukazi ngokwakwenzeka ngesikhathi sikaHulumeni woBandlululo. UGebashe usho kanje kulandela inkulumo ekhethekile abenayo nephephandandaba lo mphakathi iSivubela Intuthuko njengoba izwe laseNingizimu Africa libungaza iminyaka engama-25 lathola iNkululeko.UGebashe uthe ukubakhona kwezindawo eziyizigcina-mlando ngeziNgqalabutho ezifana noDk. John Langalibalele Dube Ohlange kwenza kubelula nokusabalalisa ulwazi kubantu abasha ngoba basuke bechazelwa ngezinto ezibonakalayo. “kuyangithokozisa ukuhola iwadi engaphansi kwendawo yaseNanda ngoba ingezinye zezindawo ezinomlando ocacile nokusikhombisa ibanga eselihanjwe uhulumeni ngokuletha

Umlando ofingqiwe ngaloyo owayeyiNgqalabutho eyalwela intando yeningi uMnuz. J.L Dube uguquko ezimpilweni zabantu.Indawo efana neNanda Seminar,umuzi Kanye nethuna lika J.L Dube neGhandi izindawo ezinomlando omuhle ezigcina ziheha nezivakashi imbala. Lezindawo zisenza sizigqaje ngokubungaza inkululeko esayithola njengoba kumanje sinezikole eziqanjwe ngazo iziNgqalabutho zaseNanda ezalwela inkululeko okuyinto esiyithokozelayo njengomphakathi.Siyafisa umphakathi uzihluphe ngaso sonke isikhathi ukuziphatha kahle lezi ndawo futhi uzisebenzise ngendlela efanele ngoba sinethemba lokuthi siyofika isikhathi lapho zidala khona amathuba emisebenzi anele futhi zilethe noguquko kwezoMnotho wamawadi nokamasipala.”Kusho uGebashe. UMnuz. Mandla Nxumalo weHhovisi i-J.L Dube Heritage Site eneminyaka eyi-18 yaqala ukusebenza ngokusemthethweni uthe isethubeni lokuthi ibesezingeni lo mhlaba njengoba iphakathi kwezinye eziyishumi umhlaba wonke jikelele eziqokwe ngabe-National Heritage Council ngokubambisana ne UNESCO ukuthi

Kusukela kwesokunxele uSkhumbuzo Mzimela, noZothani Ngcobo abangabafundi esikoleni i-Ohlange Secondary School bemi noThishanhloko wakulesikole uMnuz. Syanda Nxumalo.

Esithombeni uMnuz. Mandla Nxumalo osebenza eHhovisi lesiGcinalwazi sikaMnuz. J.L Dube

singene ngaphansi kohlelo lwe National Monument ,okulindeleke ukuthi kumenyezelwe lezindaba eziyingqophamlando kulo nyaka ezweni lase Dakar. “Lesi skhungo sakhiwe endaweni okwakuhlala khona owayeyiNgqalabutho kwezomzabalazo uDk. John Langalibalele Dube owaba uMengameli wokuqala we African National Congress.Ngonyaka ka-1990 uDube wakha isikole i-Ohlange High School ngosizo lomkakhe wokuqala uNkk. Nokuthula Mdima owamsiza ukuthola imali ezweni lase United State of America ngoba uHulumeni wangalesosikhathi anqaba ukuxhasa ngemali. Lesi skole sikhiqize abantu abaningi abafana no Bertha Mkhize,Inkosi Albert Luthuli,uJaji John Hlophe,Thoko Didiza,nabanye abasemkhakheni eyahlukene.Ngemva kokuthi uDkt Nelson Mandela avota kusona leskhungo ngonyaka ka-1994,kwabe sekumenyezelwa ukuthi umuzi kaDube usuzoba isigcinamlando okuthe ngo-2001 enye yezindlu zika Dube zathuthukiswa zaba i-Interpretation Centre

kwathi ikilasi elalisetshenziselwa ukubhala uMatikuletsheni wasesikoleni oHlange laguqulwa laba isigcinimlando,konke lokhu okusegcekeni elilodwa. Ziningi izinto ezibe noshintsho ngenhloso yokuthuthukisa umuntu omnyama kulo Hulumeni wentando yeningi owalwelwa uDube, okubalwa nemfundo yamahhala,amanzi,ugesi,izindlu izinxanxathela zezitolo,imitholampilo,imitapo yolwazi,okuningi abantu abakade bencishiwe ukukuthola phambilini,Kumanje lesikhungo siphenduke inkundla yomthombo wolwazi kubafundi sihanjelwa ngisho abantu abavela emazweni omhlaba’’,kusho uNxumalo UThishanhloko wasesikoleni i-oHlange High School uMnuz. Siyanda Nxumalo,uthi lesikole sasungulwa ngenhloso yokukhulula umuntu omnyama ebuqgileni,bokungalingani,ukuthola ulwazi nobubha,’’Isikole sethu sasifundisa izifundo ezifana no Shoe making,Gardening,Agriculture kanye ne Sewing ngoba uDk. Dube wayekholelwa kakhulu kwimisebenzi yezandla,’’kuchaza uNxumalo.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


IKHASI 6

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Kuphendulwe isoyi eRichmond Farm

Iphinde yathola uxhaso eyabalimi bamoba

TEBOGO SIBISI

IMeya yeTheku uKhasela Zandile Gumede nezinye izikhulu zikaMasipala kanye neKhansela lewadi uNkk Nokufika Biyela ngesikhathi bephendula isoyi SKHUMBUZO NZUZA IKHANSELA laku wadi-38 okuyindawo ehlanganisa iLindelani,Newlands, Richmond Farm nezinye uKhansela Nokufika Biyela uthe kuyisibusiso ukuphendulwa kwesoyi lenxanxathela yezitolo iMidway Crossing Shopping Centre ezokwakhiwa kulendawo.Mhlaka 10 Ephreli uMasipala weTheku,uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho ezokuvakasha nokunakekela iMvelo kanye neNkampani ezimele iFundamental Asset Management baphendule isoyi lokwakhiwa kwalenxanxathela yezitolo ezodla imali engu R700 million. UBiyela uthi siku 40% isibalo sabantu abangasebenzi ikakhulukazi itsha kulendawo wathi ukwakhiwa kwalendawo kuzokwakha amathuba emisebenzi amaningi kunciphe nobugebengu nesibalo sabantu abathembele ohlelweni luka Hulumeni lwama Soup Kitchen.IMeya yeTheku uKhansela Zandile Gumede uthe bewuHulumeni babambisene neNkampani ezimele ukuletha lentuthuko,’’kuyiqiniso ukuthi kumele sibambisane ukukhulisa amakhono nomnotho kulendawo. Ngesikhathi kwakhiwa kuzosunguleka imisebenzi engu-1000 neminye engu-600yesikhashana,zingu-66 izitolo ezizosebenza kulendawo misiphelile ngonyaka ozayo.Umasipala uzokwakha

amahhovisi eSizakala Centre noMtapo wolwazi langaphakathi ,kuzobakhona nesitesahi samabhasi eGo Durban,sizophinde siqinisekise ezokuxhumana ngobuchwepheshe ngokufaka i(WIFI). Inhloso yethu ukuqeda lemincele eyakhiwa uHulumeni wobandlululo ehlukanisa umphakathi wamakhalathi nabantu abamnyama ‘’,kusho uGumede. USihlalo wekomidi elibhekele ukuthuthukiswa koMnotho kumasipala weTheku uMnuz Sipho Kaunda unxuse umphakathi ukuthi ungaphazamisi ukwakhiwa kwalendawo.Usonkontileka uMnuz Carios Correia weFundamental Asset Management uthe bazoqala ukwakha kulendawo ngenyanga ezayo uMeyi 2019 baphothule umsebenzi ngesonto lokugcina ku Okthoba 2020,’’kuno 40% ozoya kubantu abakhubazekile,abantu abasha,abalwela uMzabalazo kanye nabesisfazane bonke abanezinkampani bazokwabelana kuwona,indlela yokuqasha sizosebenzisana namakomidi asemiphakathini azosingatha imihlangano okuzokhethwa kuyona abazoqashwa ukuze kungasuki umsindo kube namatoyitoyi okuthi kube nesandla semfene ngesikhathi kuqashwa,zingaphezu kuka 50 izinkampani zala emphakathini esizosebenzisana ngokubambisana nazo.

MEYI 2019

UKUSEBENZISA izimali ngendlela efanele kwenhlangano emele abalimi abamnyama bamoba iSouth African Farmers Development Association sekube nomthelela wokuthi iphinde ithole uxhaso lwezimali zokuthenga umanyolo.Lokhu kuhlaluke ngesikhathi kunomcimbi wokubungaza ukuthola uxhaso olusha le nhlangano iluthola emnyangweni wezokuThuthukiswa kwezindawo zasemakhaya Kanye nezoMhlaba okuhloswe ngayo ukutakula abalimi abalima umoba ukuze bezokwazi ukuqhubeka nokulima ngaphandle ngokuphazamiseka emva kwesivumelwano esasayindwa yilo mnyango Kanye noSAFDA ngonyaka ka-2015. Ekhuluma nabezindaba ngesikhathi kuqhubeka lo mcimbi uDk. Syabonga Madlala uthe babonga kakhulu uxhaso abaluthola kuhulumeni.”Sibonga kakhulu ukuthi isivumelwano esabanaso nohulumeni kusukela ngonyaka u-2015 asiphelelanga emoyeni kodwa sisaqhubeka nokuthela izithelo ezinhle.Sifisa ukuqinisekisa kuwona wonke umlimi kamoba ongaphansi kaSAFDA ukuthi nakulo nyaka ngeke ukhiphe mali uzithengele umanyolo.Njengo SAFDA sizoqinisekisa ukuthi u-R96 million esuthole emnyangweni sifeza ngawo izidingo zabalimi zokubathengela umanyolo emva kokuthi sibe namabhuku amahle ngo R71 million esasiwuthole ngo-2015. Okusijabulisa kakhulu ngoxhaso lwalo nyaka luhambisane nohlelo oluhle kakhulu lokuthathwa kwentsha engama-50 eyothola uqeqesho kwezokulima Kanye nokuphathwa kwezamabhizinisi ekolishi

elisesfundazweni sase-Free State iThaba Nchu ngaphansi kohlelo olubizwa nge-National Rural Youth Services Corps (NARYSEC) noluzothatha iminyaka embili.Ukuthathwa kwalolu lusha kukhomba khona ukuthi inhlangano yethu iyasebenza futhi izimisele ukuletha ushintsho ezimpilweni zabantu abamnyama ngoba lezingane ezithathiwe ngezamalungu ethu.”Kuchaza uMadlala. Owalo Mnyango uMnuz. Nhlanhla Mndaweni uthe bewumnyango ngeke bayeke ukuxhasa izinhlangano ezifana noSAFDA ngoba zilekela kakhulu uhulumeni ekushintsheni impilo yomuntu omnyama. Ngo 2015 sathola incwadi eyayivela kulenhlangano icela uxhaso lwahulumeni emva kokuthi yayikhahlanyezwe isomiso lokhu sakusukumela phezulu nokwaze kwaba nohlelo lokusayindwa kwe-MOU. Ukuxhasa kwethu le nhlangano angeke kugcine ngoxhaso lwemali kamanyolo kodwa kuningi esasivumelene ngakho esazokwenza. Sibone kubalulekile siyinyuse imali yoxhaso ngoba kusijabulise kakhulu ukubona umbiko kamncwaningi mabhuku mayelana nokuthi uxhaso lwangaphambilini lwasetshenziswa ngendlela efanele yathola umbiko ongenagcobho.”Kusho uMndaweni. Kanti omunye wabafundi oyingxenye yokuyothola uqeqesho uMnuz. Manqoba Sangweni wasendaweni yaseMadundube ngaphansi kamasipala wesifunda iLembe uthe uzizwa ejabule kakhulu ngokuthola lelithuba wathembisa ukuthi uma ephothula uqeqesho lwakhe uyafisa ukudlulisela ulwazi azoluthola entsheni akhule nayo.

PRASA/METRORAIL UMISE UKUSEBENZA KWEZITIMELA IMIZILA YONKE KWA ZULU NATAL NGENXA YEZIKHUKHULA Abenkampani yezokuthutha yakwa Metrorail baphoqeleke ukuba bamise ukusebenza kwezitimela kuyo yonke imizila ngenxa yezimvula ezinamandla ezidale izikhukhula, ukuwa kwemithi kanye nodaka oluvale yonke imizila yezitimela. Abasebenzi bakwalayini baphoqeleke ukuyohlola yonke imizila nokuyilapho kuholele ekutheni kungaba nobungozi obukhulu ukuqhubeka nokuhambisa izitimela ngaphansi kwesimo esibucayi. Onjiniyela bakwa Prasa basebenza ngokuzikhandla ukuzama ukubuyisela isimo kwesijwayelekile, kodwa ngenxa yobungako bomonakalo akwaziwa ukuthi kungathatha isikhathi

esingakanani ukulungisa isimo sibuyele kwesiphephile esifundazweni. Izindawo ezikhahlamezekile yilezi: Phakathi kwe Clairwood, Merebank, kanye neManzimtoti umzila ugcwele amanzi. Ama Signals kanye nama phoyinti okuyikona okusiza ekuhambiseni izitimela angeke asebenze noma esebenziswa ngezandla, kungasathenjelwe emishinini ezishintshayo. Kumzila wase Cato Ridge ozakwethu bakwa Transnet Freight Rail nabo baphoqeleke ukumisa ukusebenza kwezinqola zabo njengoba phakathi kwe Thornwood ne Cato Ridge kungeke kwahamba stimela njengamanje kusalindwe abasebenzi bakwa layini bakwa Transnet ukuthi

balungise ulayini wabo. Ukuguquka kwesimo sezulu kunomthelela omkhulu ezindlekweni zokuhambisa zokuhamisa izitimela, okubalulekile kakhulu kukhahlameza ukuqhubeka kwethu nezinhlelo ezijwayelekile ekuhambiseni izitimela Singu Prasa siyaxolisa kakhulu ngokuhlukumezeka futhi siyanxusa ukubekezela nokuqonda ngalekhathi. Ukuphepha kwabagibeli kanye nabasebenzi kuza phambili ku PRASA kusho uMnumnzane Dumi Dube ongumphathi jikelele kwa Zulu Natal. Bayacelwa abagibeli bazame ezinye izindlela zokuthutheka.

METRORAIL - A Division Of Prasa

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


MEYI 2019

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

Libungaze eyeNkululeko eMbumbulu elomphakathi

IKHASI 7

SIVUBELA Intuthuko ITHIMBA LEPHEPHA

TEBOGO SIBISI KUBE injabulo yodwa kubafundi besikole samaBanga aphansi iBridgeman Primary School esizinze endaweni yaseMbumbulu ngaphansi kamasipala weTheku ngesikhathi iPhephandaba lomphakathi iSivubela Intuthuko livakashele kule skole ngenhloso yokubungaza inyanga yeNkululeko ngokunikela ngezicathulo kubafundi abaqhamuka emindenini edla imbuya ngothi.Leli phendaba lenze lokhu kulandela isicelo esafakwa abenhlangano esebenzela umphakathi uSinani eyanxusa uxhaso lwezicathulo emva kokubona izinga eliphezulu Labantwana abangenazo izicathulo. OnguMsunguli wePhephandaba uNkk. Makhosi Mngoma uthe bathinteka kakhulu kade bethola isicelo esivela kulesikole.”Kwasthinta kakhulu ukuzwa ukuthi kunantwana abahamba ngezinyawo beya esikoleni ngenxa yokushodelwa izicathulo sibe sesisukuma singqongqoza kosomabhizisi sicela uxhaso nokuthe uma sesilutholile saqinisekisa ukuthi umgubho wethu wenyanga yenkulelo siwebungazela kulesikole ngoba kuhlezi kusezinhliziweni zethu ukusebenzela umphakathi ngokungachemi njengephe-

>> UMHLELI MAKHOSI MNGOMA makhosi@sivubelaintuthuko.co.za 083 618 4252

pha.Siyabonga ukusebenzisana okuhle nenhlangano uSinani Kanye nabaphathi besikole ngesikhathi sicela uhlu lwabafundi abadinga izicathulo.Singakuqinisekisa nje ukuthi sigculisekile sizibonele ukuthi abantwana bebeludinga lolu sizo”Kusho uMngoma. Omunye wabazali abahlomulile ngalolusizo uNksz. Nokulunga Ngcongo Uzwakalise okukhulu ukubonga ngaloluxhaso.”Bengisabhekene nobunzima bokuthi ngihlanganise imali yokuthengela ingane yami izicathulo ezintsha ngoba

ezikhona besezindala futhi namandla okuthenga ezintsha ngingenawo. Siyalubonga kakhulu uxhaso esiluthole kwiSivubela Intuthuko umehluko usuzoba mkhuku kakhulu ezinganeni ebesezihamba ngezicathulo ezingekho esimeni sokuthi zingagqokwa ngenxa yokuthi asinawo amandla okuzithenga asisebenzi sihleli emakhaya.Izingane zethu bezithwala kanzima kakhulu uma kunetha izulu futhi bekusazoba nzima kakhulu nanjengoba sekuzongena ubusika.”

Eyozobulili nokusebenzisana nenhlangano yomphakathi

TEBOGO SIBISI IZIBOPHEZELE ukusebenzisana nenhlangano i-Njabulo Ricardo Charity Foundation iKhomishana yezokulingana ngokwezoBulili(Commission for Gender Equality) ekulwisaneni nezigameko zokuhlukunyezwa kwabantu besifazane. Lokhu Kugqame ngesikhathi lenhlangano ibambe umcimbi wokuvala inyanga yamalungelo abantu obubanjelwe KwaDukuza ngenyanga edlule.

Ongumenenja wale Khomishana esiFundazweni saKwaZulu-Natali uZanele Ncwane uthe kuyabakhathaza kakhulu ukwanda kwezigameko zokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.”Ucwaningo luveza ukuthi ngosuku kwabesifazane abayisthupha usuku nosuku oyedwa wabo uthola ukuhlukunyezwa.Lolu cwaningo lusho into enkulu edinga ukuthi izinhlangano zomphakathi zisukume zilwisane naleshlava.Ngithanda ukuncoma abahleli balo mcimbi ngoba nathi siyikhomishana siyazidinga izinhlangano

zomphakathi ezifana nalezi ezizosukuma zime ukulwisana nalezigameko okungijabulisa kakhulu ngibone kukhona namalungu amakomiti amawadi okuyinto enhle kakhulu ngoba yibona bantu abazi izinto eziningi ezikhungethe umphakathi.Ukusuka namhlanje kuyaphambili siyazibophezela ukusebenzisana neNjabulo Ricardo Charity Foundation.’’Kusho uNcwane. Ethula inkulumo yakhe uShlalo wale nhlangano uMnuz. Ricardo Mthembu uthe inhloso yalo mcimbi ukubhekana ngqo nomsuka wokuhlukunyezwa nokubulawa kwabantu besfazane ngesihluku.”Ukuqala loluhlelo lokukhuluma ngalezigemeko ngeke kugcine ngokuthi sikhulume nabantu aseke babhekana nalesisimo kodwa siyafisa nokuxoxisana nabenzi bokubi ukuze sizokwazi ukuqhamuka namasu ayaphambili,ngoba sikholelwa ekutheni ngeke kusisize ngeke kusisize ukuqhamuko nezisombuluko singawazi umsuka walezigigaba. Siyavuma impela abantu bayaboshwa mihla namalanga abahlukumezayo kodwa okusikhathazayo ukuboshwa kwabo akuzinciphisi izigameko kodwa ziyakhula,Yilapho sibone khona ukuthi isakhona inkinga emphakathini esihlala kuyona. Siyanxusa umphakathi uze ngampambili uzibike lezigameko ezinhlakeni ezifanele nehhovisi lethu lizivulile izandla ukusiza umphakathi.”Kusho uMthembu.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

>> IPHINI LOMHLELI TEBOGO SIBISI tebogo@sivubelaintuthuko.co.za 079 245 8462

>> INTATHELI YEZEMIDLALO THABANI MAPHUMULO trmaphumulo@gmail.com 081 794 8407

>> GRAPHIC DESIGNER AND LAYOUT LINDA MAZIBUKO trusouth1@gmail.com 079 535 0581 IWEBSITE YETHU www.sivubelaintuthuko.co.za FACEBOOK sivubela intuthuko TWITTER @sivubela intuthuko INSTAGRAM sivubelaintuthuko IKHELI LETHU B 33 Ten Acre Thembeni Groutville P.O Box 4473, Stanger4450, 270 Stamford Hill Road Unit 1 Morningside, Durban, 4000 UMA UFUNA UKUKHANGISA KULELIPHEPHANDABA , SHAYELA 031 822 2602/083 618 4252


IKHASI 8

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI

MEYI 2019

Sivubela Intuthuko

EZEMIDLALO

Owezemidlalo nezigidi Uhlabeke umxhwele ukuthuthukisa abasubathi owezemidlalo eNquthu

THABANI MAPHUMULO UMNYANGO wezeMidlalo esifundazweni iKwaZulu Natal oholwa uBongi Sithole-Moloi usanda kumemezela

isamba semali elinganiselwa ku-R4,7 million wamarandi ozosiza ukulekelela abasubathi ngaphansi kohlelo olubizwa nge-Elite Athlete Development Programme (EADP) . Lolu hlelo kuhloswe ngalo ukusiza abasubathi esifundazweni iKwaZulu Natal kanti umpetha weTwo Oceans Marathon uBongumusa Mthembu uyinxenye yalo. “Siyajabula ukuthi uhlelo lwethu luyinxenye yempumelelo yabasuthi oluhlose ukubathuthukisa esifundazweni. Sifisa nokuhalalisela uMthembu ngokuhlabana kwakhe kanye nethimba asebenzisana nalo.UMthembu uyisibonelo esihle entsheni esakhula nesafisa ukuzibona yenza kahle kwezokusubatha nesuka ezindaweni ezisemakhaya,” kusho Sithole-Moloi. Lo.mnyango uzwakalise ukujabula ngokunqoba kwaMthembu ngokuphakamisa ifulegi lakulesifundazwe kwazise uphethe irekhodi lokunqoba iComrades Marathon. “Sibheke ukuthi aqhubeke nokwenza kahle nakumjaho weComrades Marathon ozoba ngenyanga uNhlangulana ngaphandle kokuthi simfakele ingcindezi,” kuphetha Sithole-Moloi. Lo mnyango ubambisene nesikhungo sokuziqeqesha esiseMoses Mabhida Stadium iPrime Human Performance Institute.

Janet Mbhele 21km winner Nquthu THABANI MAPHUMULO UNGQONGQOSHE wezeMidlalo esifundazweni iKwaZulu Natal uBongi Sithole-Moloi uhlabeke umxhwele ngezinga lomjaho wabasubathi obubanjelwe endaweni yaseNquthu nowaziwa ngokuthi yiNquthu Marathon. Lo mjaho ongu- 21km ubuhlanganisa abasubathi abavela abahlukahlukene. “ Sizwakalisa okukhulu ukujabula ngesasa lalo mjaho kwazise ungezinye zezinhlelo zomnyango wesifundazwe iKwaZulu Natal ukuthuthukisa ezemidlalo ezindaweni ebezinganakiwe ngaphambilini. Sijabule kakhulu ngesibalo sabasubathi abakhele uMzinyathi ababeyinxenye yalomjaho,” kusho Sithole-Moloi. USithole -Moloi

uphinde waveza ukuthi unesifiso sokutho lomjaho ukhule ugcine usufika ku-42 km. “Sifuna ukukhulisa lomjaho ugcine usumkhulu ukuze abasubathi bakwazi ukuwusebenzisa ukungenela iComrades Marathon, ngaphandle kokuhamba amabanga amade beya kweminye imijaho. Sizoxoxa nomasipala ukuze nabo bakwazi ukuhlomula,” kuphetha Sithole-Moloi. Njengenjwayelo intokazi yaseMzimkhulu uJannet Mbhele ogijimela uMzimkhulu Sttiders uphinde wazihlela amahlanga kwabesifazane kulomjaho wahamba nesamba semali engango-R5 000. Kwabesilisa u-Anele Dlamini ogijimela iHammersdale Athletics uyena oshaye kuqala intambo naye wathola imali efanayo.

Imeya yamukele abadlali bosuthu eMlalazi UMASIPALA WASEMLALAZI UMEYA kumasipala waseMlalazi uKhansela Thelumoya Zulu uhambele imidlalo ebiseqophelweni eliphezulu ebihlelwe uMhlengi Cele odlalela Amazulu FC. uMhlengi ongowokuzalwa eShowe endaweni yaseMlalazi ( Ward 9), uzakhele udumo endaweni yangakubo ngokuyimela ayibeke kwibalazwe kwezikanobhutshuzwayo. IMeya ilugqugquzele kakhulu lolu hlelo lomdlali wosuthu, lokubuyisela athuthukise indawo akhulele kuyo. Iphinde yamukezela ngamajezi ebhola, izindondo kanye namabhola okuzoklonyeliswa ngakho abazodla umhlanganiso. “ Lemidlalo izosiza ukuthuthukisa abanye abadlali abanekhono njengo Mhlengi, ngoba akugcini nje ngokudlalwa kodwa kukhona nabazobheka ikhono abangalisebenzisa emazingeni aphezulu. Amazulu yiqembu elinomlando omuhle esifun-

dazweni sa KwaZulu Natal, siyaziqhenya kakhulu ngokubona umfana wasendaweni ogqoka iJezi leqembu elisezinhlizweni yesizwe saKwaZulu “ Kubeka iMeya uZulu .“Ngithanda ukudlulisa ukubonga okukhulu kwiMeya yaseMlalazi ngokusukumela phezulu, Uma ngibhala isicelo ukwelekelelwa ukuthi le midlalo ibe yimpumelelo. iHhovisi likaMeya aligcinanga nje ngokuxhasa imidlalo kodwa nayo iMeya imbala isihambele , ukuzozibonela mathupha, iphinde isigqugquzele. Kuyasijabulisa ukuba nabaholi abasondele kubantu” kusho uMhlengi . Le midlalo ibihanjelwe abadlali boSuthu abayizintandokazi kubalandeli, abaqhamuke kwachwaza inkundla, okubalwa kubo , USiyabonga Nomvete, Jabulani Ncobeni, Bonginkosi Ntuli, Butholezwe Ncube, Tshepo Gumede, Sduduzo Dlamini kanye Somila Ntsundwana.

SIVUBELA INTUTHUKO - SIBEKA INTUTHUKO PHAMBILI


Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.